45. Ziyini izithembiso zikaNkulunkulu kulabo abathole insindiso futhi bapheleliswa?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngiyahamba kabanzi manje phakathi kwabantu Bami, ngiphila phakathi kwabantu Bami. Namuhla, labo abangithanda ngempela, abantu abafana nalabo babusisiswe; babusisiwe labo abangihloniphayo, nakanjani bazohlala embusweni Wami; babusisiwe labo abangaziyo, nakanjani bazothola amandla embusweni Wami; babusisiwe labo abangifunayo, nakanjani bazophuma emaketangweni kaSathane bajabulele izibusiso Nami; babusisiwe abakwaziyo ukuzincama, nakanjani bazongena ezintweni Zami enginazo, badle ifa lenala yombuso Wami. Labo abangigijimelayo ngizobakhumbula, labo abangena ezindlekweni ngenxa Yami ngizobasingatha ngenjabulo, labo abanikelayo Kimi ngizobanika okuzobathokozisa. Labo abathokoziswa amazwi Ami ngizobabusisa; ngokuqinisekile bazoba yizinsika ezibamba isigxobo esiyinsika yombuso Wami, ngokuqinisekile bazothola konke abakufunayo nabakucelayo endlini Yami, futhi akekho ongaqhathaniswa nabo. Wake wasemukela isibusiso owasinikwa? Wake wazifuna izethembiso ezenzelwa wena? Nakanjani, ngokuqondiswa ukukhanya Kwami, uzogqashula emandleni obumnyama. Phakathi kobumnyama angeke ulahlekelwe ukukhanya okukuqondisayo. Uzobusa phezu kwazo zonke izidalwa. Nakanjani uzonqoba phambi kukaSathane. Nakanjani, ekuweni kombuso kadrako omkhulu obomvu, uzoma phakathi kwezinkumbi zabantu ube ngufakazi wokunqoba Kwami. Nakanjani uzoqina ungantengantengi ezweni laseSinim. Ngokuhlupheka odlule kukho, uzothola ifa lezibusiso ezivela Kimi, futhi ngokuqinisekile uzosabalalisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 19” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngokuba bayakwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi banikele onke amandla abo emsebenzini kaNkulunkulu, labo abathanda uNkulunkulu ngeqiniso bangahamba noma kuphi ngaphansi kwamazulu kungekho muntu ongabaphikisa, bengaphakamisa amandla futhi babuse abantu bakaNkulunkulu. Laba bantu bahlangane ndawonye bevela emhlabeni wonke, bakhuluma izilimi ezahlukene futhi banesikhumba esinemibala engafani, kodwa ubukhona babo bunencazelo efanayo, bonke banenhliziyo ethanda uNkulunkulu, bonke banobufakazi obufanayo futhi banesinqumo esifanayo, kanye nesifiso esifanayo. Labo abathanda uNkulunkulu bangahamba bakhululekile emhlabeni wonke, labo abafakaza ngoNkulunkulu bangahamba umkhathi wonke. Laba bantu bathandwa uNkulunkulu, babusiswe uNkulunkulu, futhi bayophila ekukhanyeni Kwakhe kuze kube phakade.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lokho enginilungisele khona, okungukuthi, imicebo engavamile neyigugu evela emhlabeni wonke, konke kuyonikezwa nina. Ngeke nikwazi ukubona noma ukucabanga zonke lezi zinto manje, futhi akekho umuntu oseke wazithokozela. Lapho lezi zibusiso zehlela kini, niyothokoza ngokungapheli, kodwa ningakhohlwa ukuthi konke lokhu kungamandla Ami, izenzo Zami, ukulunga Kwami futhi ngaphezu kwalokho, ubukhosi Bami. (Ngiyoba nomusa kulabo engikhetha ukuba nomusa kubo, futhi ngiyoba nesihawu kulabo engikhetha ukuba nesihawu kubo.) Ngaleso sikhathi, niyobe ningenabazali, futhi ngeke kube nobuhlobo begazi. Nonke ningabantu engibathandayo, madodana Ami athandekayo. Akukho muntu oyolokotha anicindezele kusuka lapho kuya phambili. Kuyoba yisikhathi sokuthi nikhule nibe badala, futhi yisikhathi sokuba nibuse izizwe ngenduku yensimbi! Ngubani olokotha avimbe amadodana Ami? Ngubani olokotha ahlasele amadodana Ami athandekayo? Bonke bayohlonipha amadodana Ami athandekayo ngenxa yokuthi uBaba ukhazimulisiwe. Zonke izinto okungekho muntu ongake azicabange ziyobonakala phambi kwamehlo enu. Ziyoba ngezingenamkhawulo, ezingaqedeki, ezingapheli.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 84” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngokususela emisebenzini nobufakazi obahlukene, abanqobi abasembusweni bayosebenza njengabaphristi noma abalandeli, futhi labo abanqobayo ezinhluphekweni bayoba yisigungu sabaphristi embusweni. Isigungu sabaphristi siyokwakhiwa uma umsebenzi wevangeli usuphelile emhlabeni jikelele. Uma sekufika isikhathi, okumele kwenziwe umuntu kuyoba umsebenzi wakhe embusweni kaNkulunkulu, kanye nokuhlala kwakhe ndawonye noNkulunkulu embusweni. Esigungwini sabaphristi kuyoba nomphristi omkhulu kanye nabaphristi, futhi abasele bayoba amadodana kanye nabantu baNkulunkulu. Konke lokhu kuyonqunywa ngokobufakazi babo kuNkulunkulu ngezinkathi zenhlupheko; akuwona amagama anikezwa kalula nje. Uma isithunzi somuntu sesitholakele, umsebenzi kaNkulunkulu uyophela, ngoba umuntu ngamunye uyobe esebekwe ngokohlobo lwakhe futhi ebuyiselwe esimweni sakhe sasekuqaleni, futhi lokhu kuwuphawu lokuqedwa komsebenzi kaNkulunkulu, lokhu kuwumphumela wokugcina womsebenzi kaNkulunkulu kanye nokwenza komuntu, futhi kuwukucaciswa kwesimo kwemibono yomsebenzi kaNkulunkulu kanye nokusebenzisana nomuntu. Ekugcineni, umuntu uyophumula embusweni kaNkulunkulu, futhi noNkulunkulu, uyokwenza njalo, uyobuyela endaweni Yakhe ukuze aphumule. Lokhu kuwumphumela wokugcina weminyaka eyizi-6000 yokusebenzisana phakathi kukaNkulunkulu nomuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho umsebenzi wokunqoba sewuqediwe, umuntu uzolethwa ezweni elihle Le mpilo, phela, izobe isesekhona emhlabeni, kodwa izobe ingasafani nhlobo nempilo yomuntu yanamuhla. Yimpilo sonke isintu esizobanayo lapho isintu sonkana sesinqotshiwe, kuzoba isiqalo esisha somuntu emhlabeni, futhi ukuba isintu sibe nempilo enhle kangako, kuyobe kuwubufakazi bokuthi isintu sesingene embusweni omusha futhi omuhle. Kuzoba wukuqala kwempilo yomuntu noNkulunkulu lapha emhlabeni. Isisekelo sempilo enhle kangaka kufanele kube wukuthi, emuva kokuthi umuntu esenziwe msulwa futhi wanqotshwa, uyazithoba phambi koMdali. Ngakho, umsebenzi wokunqoba, isigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu ngaphambi kokuthi isintu singene esiphethweni esimangalisayo. Impilo enje impilo yesikhathi esizayo yomuntu emhlabeni, yimpilo enhle kunazo zonke emhlabeni, uhlobo lwempilo elangazelelwa ngumuntu, inhlobo umuntu angakaze ayithole emlandweni womhlaba. Ngumphumela wokugcina womsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, yilokho isintu esikulangazelelayo kunakho konke, futhi kuyisithembiso sikaNkulunkulu kumuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abayopheleliswa nguNkulunkulu yilabo abayothola izibusiso zikaNkulunkulu kanye nefa Lakhe. Lokhu kungukuthi, bafaka ngaphakathi lokho uNkulunkulu anakho nayikho, ukuze kube yilokho abanakho phakathi; banawo wonke amazwi kaNkulunkulu asetshenziwe kubo; noma ngabe yini engekaNkulunkulu, uyakwazi ukukufaka konke phakathi njengoba kunjalo, ngaleyo ndlela uliphile iqiniso. Lolu uhlobo lomuntu olupheleliswe nguNkulunkulu noluzuzwa nguNkulunkulu. Yilolo hlobo lomuntu kuphela olufanelekela ukwamukela ifa nalezi zibusiso ezehliswa nguNkulunkulu:

1. Ukwamukela lonke uthando lukaNkulunkulu.

2. Ukwenza ngokwentando kaNkulunkulu kuzo zonke izinto.

3. Ukwamukela ukuqondiswa nguNkulunkulu, ukuphila ngaphansi kokukhanya kukaNkulunkulu, kanye nokukhanyiselwa nguNkulunkulu.

4. Ukuphila ngokomfanekiso othandwa nguNkulunkulu emhlabeni; ukuthanda uNkulunkulu njengoba uPetru enza, ukubethelelwa uNkulunkulu kanye nokufanelwa ukufa njengenkokhelo yothando lukaNkulunkulu; uthole udumo olufana noluka Petru.

5. Ukuthandwa, ukuhlonishwa, nokunconywa yibo bonke emhlabeni.

6. Ukwehlula konke ukugqilazwa ukufa kanye neHayidesi, ukunganikezi ithuba umsebenzi kaSathane, ukuba ube ngokaNkulunkulu, ukuphila phakathi komoya omusha nojabulisayo kanye nokungabi nakuzizwa ukhathele.

7. Ukuba nomuzwa omangalisayo wentokozo nokuthokozela ngaso sonke isikhathi sokuphila kwakho, kube sengathi usubona ukufika kosuku lwenkazimulo kaNkulunkulu.

8. Ukuthola inkazimulonoNkulunkulu, kanye nokuba nobuso obufana nabangcwele abathandwa nguNkulunkulu.

9. Ukuba yilokho uNkulunkulu akuthandayo emhlabeni, lokho okungukuba, yindodana kaNkulunkulu ethandiwe.

10. Isimo sokuguquka kanye nokukhuphukela ezulwini lesithathu noNkulunkulu, ukudlula enyameni.

Kucashunwe embhalweni othi “Izithembiso Kulabo Abaphelelisiwe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 42. Yibaphi abantu uNkulunkulu abasindisayo? Yibaphi abantu abachithayo?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi