Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Okukhethiweyo Kwamazwi KaNkunkulu USomandla

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

0 Imiphumela Yokufuna

Ayikho imiphumela etholakele.

VI. Ubudlelwane Phakathi Komsebenzi WeNkathi Yomusa NoweNkathi Yombuso

1. Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova. Kwakungumsebenzi wenkathi entsha ngemva kokuba uNkulunkulu eqedile ngeNkathi Yomthetho. Ngokufanayo, ngemva kokuba uphelile umsebenzi kaJesu, uNkulunkulu waqhubeka nomsebenzi Wakhe weminyaka elandelayo, ngoba konke ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuqhubekela phambili. Lapho inkathi yakudala idlula, endaweni yayo kuzongena inkathi entsha, kuthi lapho usuphelile umsebenzi omdala, umsebenzi omusha uqhubeke nokuphatha kukaNkulunkulu. Lokhu kuba senyameni kukaNkulunkulu kungukuba senyameni kukaNkulunkulu kwesibili ngemva kokuqedwa komsebenzi kaJesu. Yebo, lokhu kuba senyameni akwenzeki ngokuzimela kodwa, kunalokho kuyisigaba sesithathu somsebenzi ngemva kweNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa. … Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

2. UNkulunkulu wokuqala owayesesimweni somuntu akazange awuqede umsebenzi wokuba sesimweni somuntu; waqeda isigaba sokuqala kuphela leso okwakubalulekile ukuba uNkulunkulu asenze esesimweni somuntu. Ngakho, ukuze aqede umsebenzi wokuba sesimweni somuntu, uNkulunkulu ubuyele enyameni futhi, ukuphila konke ukujwayeleka nobunjalo benyama, okungukuthi, enza ukuba iZwi likaNkulunkulu lizibonakalise enyameni ejwayelekile futhi evamile ngokuphelele, ngalokho ephetha umsebenzi ayewushiye engawuqedanga esesesimweni somuntu. … Kwakuyinyama kaJesu eyabethelwa esiphambanweni, inyama Yakhe le anikela ngayo njengomhlatshelo wesono; kwakungenyama enobuntu obujwayelekile anqoba ngayo uSathane futhi wasindisa umuntu esiphambanweni ngokuphelele. Futhi kulapho eyinyama ephelele lapho uNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu enza umsebenzi wokunqoba futhi ehlule uSathane. Yinyama ejwayelekile futhi engokoqobo ngokuphelele kuphela engenza umsebenzi wokunqoba sewuwonke futhi inikeze ubufakazi obunamandla. Okuwukuthi, ukunqoba umuntu kwenziwa ukuba kuphumelele ngeqiniso nokujwayeleka kukaNkulunkulu osenyameni, hhayi ngezimangaliso nezambulo ezingaphezu kwamandla emvelo. Inkonzo yalo Nkulunkulu osesimweni somuntu ukukhuluma, futhi ngaleyo ndlela anqobe futhi aphelelise umuntu; ngamanye amazwi, umsebenzi kaMoya owenzeka enyameni, umsebenzi wenyama, ukukhuluma bese ngalokho unqobe, wembule, uphelelise futhi ususe umuntu ngokuphelele. Ngakho, kungomsebenzi wokunqoba lapho umsebenzi kaNkulunkulu enyameni uyofezeka ngokugcwele. Umsebenzi wokuqala wokuhlenga wawungukuqala komsebenzi wokuba sesimweni somuntu; inyama eyenza umsebenzi wokunqoba izoqeda wonke umsebenzi wokuthatha isimo somzimba wenyama.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

3. Umsebenzi osuwenziwa manje usuqhubele phambili umsebenzi weNkathi Yomusa; okusho ukuthi, umsebenzi wohlelo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha uqhubekele phambili. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekele phambili. Kungani ngisho isikhathi nesikhathi ukuthi lesi sigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi wanamuhla ungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi Yomusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi Yomthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi ikhongco ngalinye eketangweni lixhumene ngokuqinile kwelinye. Kungani ngibuye ngithi lesi sigaba somsebenzi sakhele kulowo owenziwa uJesu? Uma lesi sigaba singakhelanga emsebenzini owenziwe uJesu, bekuyofuneka kube khona okunye ukubethelwa kulesi sigaba, futhi umsebenzi wokuhlenga owenziwe ngaphambilini bekuzodingeka ukuba uphindwe. Lokhu bekungeke kube namqondo. Ngakho-ke, akusho ukuthi umsebenzi usuphele nya, kodwa ukuthi inkathi iqhubekele phambili futhi nezinga lomsebenzi seliphakanyiselwe phezudlwana kunakuqala. Kungathiwa lesi sigaba somsebenzi sakhelwe esisekelweni seNkathi Yomthetho nedwala lomsebenzi kaJesu. Umsebenzi wakhiwa ngesigaba nesigaba, kanti lesi sigaba asikhona ukuqala kabusha. Ngukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Umsebenzi kulesi sigaba wenziwe esisekelweni somsebenzi weNkathi Yomusa. Ukuba lezi zigaba ezimbili zomsebenzi azihlobene, kungani ukubethelwa kungaphindwa kulesi sigaba? Kungani ngingathwali izono zomuntu? Angifiki ngokuthatshathwa ngoMoya oNgcwele, futhi angithwali izono zomuntu ngokubethelwa; kodwa, ngilapha ukuze ngisole umuntu ngokuqondile. Ukuba ukusola Kwami umuntu nokufika Kwami manje ngokungathatshathwa ngoMoya oNgcwele akulandelanga ukubethelwa bengingeke ngifanele ukusola abantu. Ngempela kungenxa yokuthi ngimunye noJesu ukuthi ngiza ngokuqondile ukuzosola nokwahlulela umuntu. Lesi sigaba somsebenzi sakhele ngokuphelele phezu kwesigaba esingaphambili. Yingakho kungumsebenzi onjalo kuphela ongaletha umuntu ensindisweni, isinyathelo ngesinyathelo. Mina noJesu sivela eMoyeni owodwa. Noma inyama yethu ingenabudlelwano, uMoya Wethu munye; yize ingqikithi yesikwenzayo nomsebenzi esiwenzayo kungefani, ingqikithi Yethu iyefana; inyama Yethu ithatha izimo ezihlukene, kodwa lokhu kwenziwa yinguquko enkathini nokwehlukana kwezidingo zomsebenzi Wethu; izinkonzo Zethu azifani, ngakho umsebenzi esiwenzayo nesimo esisembula kumuntu nakho akufani.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

4. Ngesikhathi ngiqala ukufika phakathi kwabantu, kwakuyiNkathi Yokuhlengwa. Yiqiniso ukuthi ngafikela emndenini wamaJuda; ngakho, abokuqala ababona uNkulunkulu efika emhlabeni, kwakungamaJuda. Isizathu esenza ngenze lo msebenzi mathupha yingoba ngangifuna ukusebenzisa ubuntu bukaNkulunkulu enyameni njengomhlatshelo wesono emsebenzini Wami wokuhlengwa. Ngakho abokuqala abangibona kwakungamaJuda angeNkathi Yomusa. Kwakungokokuqala ngisebenza enyameni. NgeNkathi Yombuso, umsebenzi Wami ukunqoba nokuphelelisa, ngakho, ngiyaphinda ngenze umsebenzi wokwelusa enyameni. Lokhu okwesibili ngisebenza enyameni. … Bayafana ngokuthi zozimbili lezi zinyama zikaNkulunkulu ethathe isimo sesintu zenza umsebenzi kaNkulunkulu uBaba, futhi abafani ngokuthi omunye wenza umsebenzi wokuhlenga kanti omunye wenza umsebenzi wokunqoba. Bobabili bamele uNkulunkulu uBaba, kodwa omunye uyiNkosi yokuhlenga egcwele umusa nothando kanye nesihe, kanti omunye uNkulunkulu wokulunga ogcwele ulaka nokwahlulela. Omunye nguMkhuzi Ophakeme owethula umsebenzi wokuhlengwa, kanti omunye uNkulunkulu olungileyo ozofeza umsebenzi wokunqoba. Omunye uyiSiqalo, omunye uyiSiphetho. Omunye yinyama engenasono, omunye inyama efeza ukuhlengwa, iqhube umsebenzi, futhi ayibi neze eyesono. Bobabili banguMoya ofanayo, kodwa bahlala ezinyameni ezihlukene futhi bazalwa ezindaweni ezihlukene. Futhi bahlukaniswe iminyaka eyizinkulungwane eziningi. Kepha, wonke umsebenzi Wabo uyahambisana ngokuvumelana, awuxabani, futhi kungakhulunywa ngawo kanye kanye.

Kucashunwe embhalweni othi “Kuthini Ukuqonda Kwakho UNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

5. Ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kwahlukaniseke izigaba ezintathu, futhi esigabeni ngasinye, kudingeka okufanele leso sigaba kumuntu. Phezu kwalokho, njengoba kuhamba iminyaka futhi iqhubekela phambili, okudingwa uNkulunkulu kumuntu kuyaphakama kakhulu. … Phambilini, kwakudingeka ukuthi umuntu ahambisane nomthetho kanye nemiyalelo, futhi kwakudingeka ukuthi abakezele futhi athobeke. Namuhla, kudingeka ukuthi umuntu alalele zonke izinhlelo zikaNkulunkulu futhi abe nothando oluphakeme lukaNkulunkulu, futhi ekugcineni kudingeka ukuthi aqhubeke nokuthanda uNkulunkulu phakathi kokuhlushwa. Lezi zigaba ezintathu zidingwa uNkulunkulu kumuntu, isinyathelo nenesinyathelo, ekuphatheni Kwakhe kukonke. Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu sijula ngaphezu kwesokugcina, futhi esigabeni ngasinye okudingeka kumuntu kukhulu kakhulu kunokokugcina, futhi ngale ndlela, ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kuya ngokuya kuhlangana. Isizathu salokhu ukuthi okudingeka kumuntu kuphakeme kakhulu kunesimo somuntu futhi kusondelene nezilinganiso zikaNkulunkulu, futhi yilapho lapho isintu sonke siya ngokuya sisuka ethonyeni likaSathane kuze kube wukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela ekupheleni nya, isintu sisonke sizobe sisindile ethonyeni likaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

6. Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wesigaba samanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa ngentambo enganqamuki bonke ububanzi bokuphatha kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa nguMoya owodwa. Kusukela ekudalweni komhlaba, uNkulunkulu yilokhu esebenza ephatha isintu. UyiSiqalo neSiphetho, futhi uyiLowo oqala inkathi naLowo ophetha inkathi. Izigaba ezintathu zomsebenzi, ezinkathini ezehlukene nasezindaweni ezehlukene, ngaphandle kwephutha zingumsebenzi woMoya owodwa. Bonke labo abahlukanisa lezi zigaba baphikisa uNkulunkulu. Manje, kumele uqonde ukuthi wonke umsebenzi kusukela esigabeni sokuqala kuze kube namuhla uwumsebenzi kaNkulunkulu oyedwa, umsebenzi woMoya owodwa. Ngalokhu akukho kungabaza.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule:V. Ngabe Umsebenzi WeNkosi UJesu Wokukhulula Ungumsebenzi Wokuphetha Inkathi Ngempela?

Okulandelayo:VII. UNkulunkulu USomandla, UKristu Wezinsuku Zokugcina, Uvula Umqulu Bese Enza Izahlulelo Zakhe.

Okuqukethwe Okuhlobene