I-App yeBandla likaNkulunkulu uSomandla

Lalela iphimbo likaNkulunkulu futhi wamukele ukubuya kweNkosi uJesu!

Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Imibuzo Eyikhulu Nezimpendulo Ukuhlola Indlela Yeqiniso

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

0 Imiphumela Yokufuna

Ayikho imiphumela etholakele.

100. Izimo ezinhle zombuso ezaprofethwa uNkulunkulu zizofezeka futhi zigcwaliseke kanjani?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Lapho uNkulunkulu ekhipha ulaka lwakhe olukhulu, umhlaba wonke uyokwehlelwa yizo zonke izinhlobo zezinhlekele njengomphumela walo, njengokuqhuma kwentaba-mlilo. Uma umi ngaphezu kwesibhakabhaka kuyabonakala ukuthi emhlabeni zonke izinhlobo zezinhlekelele ziyasondela kuso sonke isintu, usuku ngosuku. Uma ubuka phansi uphezulu, umhlaba ufana nezinhlobonhlobo zezimo ngaphambi kwentaba-mlilo. Amanzi awumlilo ayagobhoza yonke indawo, udaka lwentaba-mlilo lugeleza yonke indawo. Izintaba ziyagudluka, nokukhanya okungashisi kuyacwebezela yonke indawo. Umhlaba wonke sewuzike emlilweni. Lesi yisigcawu sikaNkulunkulu ekhipha ulaka Lwakhe, futhi yisikhathi sokwahlulela kwakhe. Bonke labo abasenyameni ngeke basinde. Kanjalo izimpi phakathi kwamazwe nezingxabano phakathi kwabantu ngeke zidingeke ukuthi zibulale wonke umhlaba, kodwa “uyothokozela ngokusobala” isandla sokusola kukaNkulunkulu. Akekho oyophunyuka kukho futhi bayodlula kukho ngamunye ngamunye. Emva kwalokho wonke umhlaba uyophinde futhi ukhazimule ngokukhanya okungcwele nesintu sonke siyobuye siqale impilo entsha. Futhi uNkulunkulu uyobe ephumule phezu komhlaba ebusisa sonke isintu nsuku zonke.

kwesithi “Isahluko 18” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho umsebenzi wokunqoba sewuqediwe, umuntu uzolethwa ezweni elihle. Le mpilo, phela, izobe isesekhona emhlabeni, kodwa izobe ingasafani nhlobo nempilo yomuntu yanamuhla. Yimpilo sonke isintu esizoba nayo lapho isintu sonkana sesinqotshiwe, kuzoba isiqalo esisha somuntu emhlabeni, futhi ukuba isintu sibe nempilo enhle kangako, kuyobe kuwubufakazi bokuthi isintu sesingene embusweni omusha futhi omuhle. Kuzoba wukuqala kwempilo yomuntu noNkulunkulu lapha emhlabeni. Isisekelo sempilo enhle kangaka kufanele kube wukuthi, emuva kokuthi umuntu esenziwe waba msulwa futhi wanqotshwa, uyazithoba phambi koMdali. Ngakho, umsebenzi wokunqoba, isigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu ngaphambi kokuthi isintu singene esiphethweni esimangalisayo. Impilo enje impilo yesikhathi esizayo yomuntu emhlabeni, yimpilo enhle kunazo zonke emhlabeni, uhlobo lwempilo elangazelelwa ngumuntu, inhlobo umuntu angakaze ayithole emlandweni womhlaba, Ngumphumela wokugcina womsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, yilokho isintu esikulangazelelayo kunakho konke, futhi kuyisithembiso sikaNkulunkulu kumuntu. Kepha isithembiso sakhe asikwazi ukufezeka masinyane: Umuntu uzongena ekupheleni kwesikhathi esizayo kuphela uma umsebenzi wezinsuku zokugcina sewuqediwe futhi esenqotshiwe ngokuphelele, okusho ukuthi lapho uSathane esehluliwe nya. Umuntu uzongabi nemvelo enesono uma esecwengiwe, ngoba uNkulunkulu uzobe esemnqobile uSathane, okusho ukuthi ngeke kube khona ukuphazamisa kwamandla anobutha, futhi azobe engekho amandla anobutha angahlasela inyama yomuntu. Ngakho umuntu uzobe ekhululekile futhi engcwele—uzobe esengene kwiphakade. Uma kuphela amandla anobutha obumnyama eseboshiwe, ilapho umuntu ezobe ekhululekile konke lapho eya khona, futhi ngaphandle kokudlubulunda noma ukuphikisana. USathane kufanele ukuthi aboshwe nje, ukuze umuntu zimhambele kahle izinto; namhlanje izinto azimhambeli kahle ngoba[a] uSathane usavusa uthuthuva yonke indawo emhlabeni, futhi nangenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha wonke awukafiki ekugcineni kwawo. Uma uSathane esenqotshiwe, umuntu uzobe esekhululekile ngokuphelele; uma umuntu ezuza uNkulunkulu futhi ephuma ngaphansi kwamandla kaSathane, uyobona iLanga lokulunga.

kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho umuntu ethola impilo yangempela yomuntu emhlabeni, amandla kaSathane ewonke ayoboshwa, futhi umuntu uyophila kalula lapha emhlabeni. Izinto ngeke zibe nkimbinkimbi njengoba ziyizo manje: ubudlelwane babantu, ubudlelwane bokuhlalisana kwabantu, ubudlelwano bemindeni obunkimbinkimbi…, buwuhlupho kakhulu, kubuhlungu kakhulu! Impilo yomuntu lapha ilusizi kakhulu! Uma umuntu esenqotshiwe, inhliziyo nomqondo wakhe kuzoshintsha: uzoba nenhliziyo emhloniphayo uNkulunkulu kanye nenhliziyo emthandayo uNkulunkulu. Uma bonke labo abasemhlabeni jikelele abafuna ukuthanda uNkulunkulu sebenqotshiwe, okusho ukuthi, uma uSathane esenqotshiwe, futhi uma uSathane—wonke amandla obumnyama—eseboshiwe, impilo yomuntu emhlabeni ngeke isaba nokukhathazeka, futhi uyokwazi ukuphila ngokukhululeka emhlabeni. Uma impilo yomuntu ingenabo ubudlelwano obungobenyama, futhi ingasenabo ubunkimbinkimbi benyama, bekuyoba lula kakhulu. Ubudlelwano bomuntu benyama bunkimbinkimbi kakhulu, futhi ukuba komuntu nalezi zinto ezinje kungubufakazi bokuthi akakazikhululi ethonyeni likaSathane. Ukube ubunobudlelwano obufanayo nabafowenu nodadewenu, njengobudlelwano nomndeni wakho ojwayelekile, ubungeke ube nokukhathazeka, futhi ubungeke udinge ukukhathazeka ngamuntu. Bekungamnandi lokho, futhi ngale ndlela umuntu ubengabe uphunyuziwe engxenyeni yokuhlupheka kwakhe. Ukuphila impilo yomuntu ejwayelekile emhlabeni, umuntu uzobe efana nengelosi; nakuba esengowenyama, uzobe efana nengelosi kokuningi. Lesi isithembiso sokugcina, isithembiso sokugcina esinikwe umuntu. Namuhla umuntu ubhekana nokusolwa nokwahlulelwa; ucabanga ukuthi ukudlula komuntu kulezi zinto akusho lutho? Ungenziwa umsebenzi wokusola nokwahlulela ngaphandle kwesizathu? Phambilini kuke kwathiwa ukusola nokwahlulela umuntu ukumfaka lwalasha, okusho ukuthatha isiphetho kanye namathemba akhe. Lokhu kungenxa yento eyodwa: ukuhlanzwa komuntu. Umuntu akafakwa lwalasha ngamabomu, emuva kwalokho uNkulunkulu ebese egeza izandla Zakhe ngaye. Esikhundleni salokho, okokubhekana nokuhlubuka okukumuntu, ukuze ekugcineni izinto ezikumuntu zihlanzeke, ukuze abe nolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, futhi afane nomuntu ongcwele. Uma lokho kwenziwe, konke kuyofezeka.

kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuphila kwasekuphumuleni ngeke kube nayo impi, ngeke kube nokungcola futhi ngeke kugcwale ukungalungi okungapheli. Lokhu kusho ukuthi abantu bayobe bengasahlushwa uSathane (lapha elithi “Sathane” libhekisela emandleni anonya), inkohlakalo kaSathane, kanye nokuhlaselwa yinoma yimaphi amandla amelene noNkulunkulu. Yonke into iyohamba ngokohlobo lwayo futhi ikhonze iNkosi yendalo. Amazulu nomhlaba kuthulile kuthe cwaka. Lokhu ukuphumula kokuphila kwabantu. Lapho uNkulunkulu engena ekuphumuleni, akukho ukungalungi okuyoba khona emhlabeni, futhi ngeke kusaba bikho ukuhlaselwa yinoma yiliphi ibutho elinonya. Abantu bayophinde bangene endaweni entsha; ngeke kuphinde kube nabantu abonakaliswe uSathane, kodwa kuyoba nabantu abasindisiwe ngemva kokonakaliswa uSathane. Usuku abantu abayophumula ngalo luphinde lube usuku uNkulunkulu ayophumula ngalo. UNkulunkulu walahlekelwa ukuphumula Kwakhe ngenxa yokuthi abantu bahluleka ukungena ekuphumuleni; akukhona ukuthi wayevele engakwazi ukuphumula. Ukungena ekuphumuleni akusho ukuthi kuzoma zonke izinto ziyoyeka ukunyakaza, noma ukuthi zonke izinto zizoyeka ukusebenza, futhi akusho ukuthi uNkulunkulu uzoyeka ukusebenza nokuthi umuntu ngeke esaphila. Uphawu lokungena ekuphumuleni luyoba kanje: USathane uyobe esebhujisiwe; abantu abakhohlakele ababenza izinto ezimbi noSathane bayobe sebejezisiwe baqothulwa; wonke amabutho amelene noNkulunkulu ayobe engasekho. Ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni kusho ukuthi uyobe engasawenzi umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu. Ukungena kwabantu ekuphumuleni kusho ukuthi bonke abantu bayophila ekukhanyeni kukaNkulunkulu nangaphansi kwesibusiso Sakhe; iyobe ingasekho inkohlakalo kaSathane, ziyobe zingasenzeki nezinto ezingalungile. Abantu bayophila ngendlela evamile emhlabeni, futhi bayophila benakekelwa uNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu nabantu bengena ndawonye ekuphumuleni, lokho kuyosho ukuthi abantu basindisiwe nokuthi uSathane usebhujisiwe, nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu usuphele ngokuphelele. UNkulunkulu ngeke esaqhubeka esebenza phakathi kwabantu, futhi umuntu ngeke esaphila ngaphansi kokubuswa uSathane. Ngakho, uNkulunkulu ngeke esaba matasatasa, nabantu ngeke besaphithizela; uNkulunkulu nabantu bayongena kanye-kanye ekuphumuleni. UNkulunkulu uyobuyela esikhundleni Sakhe sasekuqaleni, nomuntu ngamunye uyobuyela endaweni yakhe. Lezi izindawo uNkulunkulu nomuntu abayohlala kuzo ngemva kokuphela kokuqondisa kukaNkulunkulu. UNkulunkulu unendawo Yakhe aya kuyo, nomuntu naye uneyakhe. Ngesikhathi esaphumule, uNkulunkulu uyoqhubeka eqondisa ukuphila kwabantu emhlabeni. Ngesikhathi esesekukhanyeni kukaNkulunkulu, umuntu uyokhonza uNkulunkulu oyedwa weqiniso osezulwini. UNkulunkulu ngeke esaphila phakathi kwabantu, futhi umuntu ngeke akwazi ukuphila noNkulunkulu endaweni kaNkulunkulu. UNkulunkulu nomuntu ngeke baphile endaweni eyodwa; kunalokho, bobabili banezindlela zabo ezingafani zokuphila. UNkulunkulu nguyena oqondisa bonke abantu, kuyilapho bonke abantu bewumphumela wokuqondisa komsebenzi kaNkulunkulu. Abantu abaholwayo; mayelana nobuntu, umuntu akafani noNkulunkulu. Ukuphumula kusho ukubuyela endaweni yakho yasekuqaleni. Ngakho lapho uNkulunkulu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu ubuyela endaweni Yakhe yasekuqaleni. UNkulunkulu ngeke esaphila emhlabeni noma abe yingxenye yenjabulo nokuhlupheka kwabantu kuyilapho esenabantu. Lapho umuntu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi umuntu usuke esephenduke indalo yangempela; umuntu uyokhonza uNkulunkulu emhlabeni futhi aphile ukuphila kwabantu okuvamile. Ngeke kusenzeka ukuthi abantu bangamlaleli uNkulunkulu noma benqabe uNkulunkulu; bayophila ngendlela okwakuphila ngayo u-Adamu no-Eva. Lokhu ukuphila okwehlukene nezindawo zikaNkulunkulu nabantu ngemva kokungena kwabo ekuphumuleni. Ukunqotshwa kukaSathane yinto engeke igwemeke empini ephakathi kukaSathane noNkulunkulu. Ngale ndlela, ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni ngemva kokuphela kokuqondisa umsebenzi Wakhe, nokuqeda ukusindisa abantu futhi bangene ekuphumuleni nakho kuyinto engeke igwemeke. Indawo yokuphumula komuntu isemhlabeni, nendawo kaNkulunkulu yokuphumula isezulwini. Ngesikhathi umuntu ephumule, uzokhonza uNkulunkulu futhi aphile emhlabeni, uNkulunkulu uyohola ingxenye esele yabantu; uyobahola esezulwini hhayi esemhlabeni. UNkulunkulu uyobe esenguMoya, kuyilapho umuntu eyobe esesemzimbeni wenyama. UNkulunkulu nomuntu banezindlela ezingafani zokuphumula. Ngesikhathi uNkulunkulu ephumule, uyoza avele phambi kwabantu; ngesikhathi abantu besaphumule, bayoholwa uNkulunkulu ababonise izulu, futhi abenze bajabulele ukuphila kwasezulwini. Ngemva kokuba uNkulunkulu nomuntu bengene ekuphumuleni, uSathane ngeke esaba khona, futhi njengoSathane, nabantu abakhohlakele ngeke besaba khona. Ngaphambi kokuba uNkulunkulu nomuntu bangene ekuphumuleni, izikhohlakali ezake zashushisa uNkulunkulu emhlabeni nezitha Zakhe ezingamlalelanga emhlabeni ziyobe sezibhujisiwe; ziyobe sezibhujiswe yizinhlekelele ezinkulu zezinsuku zokugcina. Ngemva kokubhujiswa ngokuphelele kwalezo zikhohlakali, umhlaba ngeke uphinde uhlushwe uSathane. Abantu bayosindiswa ngokuphelele, futhi umsebenzi kaNkulunkulu uyophela lapho ngokuphelele. Yilokhu okudingwa uNkulunkulu nabantu ukuze bangene ekuphumuleni.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wasekuqaleni uthi “namuhla, kungoba.”

Okwedlule:Sinjani ngempela isiphetho sesintu kanye nezimo ezinhle zombuso? Yimaphi amazwi kaNkulunkulu aqinisekisa lokhu?

Okulandelayo:UNkulunkulu USomandla Usenginike Ithuba Lesibili Empilweni

Ungase Uthande Nalezi