18. Yini umholi wamanga noma umalusi wamanga? Ubonakala kanjani umholi wamanga noma umalusi wamanga?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi osemqondweni womuntu ufinyelwa kalula umuntu. Abefundisi nabaholi bezenkolo, isibonelo, bathembele eziphiweni nasezikhundleni zabo uma benza imisebenzi yabo. Abantu ababalandela isikhathi eside batheleleka ngeziphiwo zabo futhi babe negalelo kubo ngokunye abakwenzayo. Bagxila eziphiweni zabantu, namakhono kanye nolwazi, futhi bagxila kwezinye izinto ezingasizo ezemvelo kanye nenqwaba yezimfundiso ezaziwayo nezingasizo ezeqiniso (nakanjani, lezi zimfundiso ezaziwayo akufinyeleleki kuzo). Abagxili ekushintsheni ezimilo zabantu, kodwa bagxila ekuqeqesheni amakhono abantu okushumayela nawokusebenza, benza ngcono ulwazi lwabantu kanye nezimfundiso zabo zezenkolo eziningi. Abagxili ekuthini izimilo zabantu zishintsha kanjani noma ukuthi abantu baliqonda kangakanani iqiniso. Abazikhathazi ngokubalulekile kubantu, futhi abazami nokwazi izimo zabantu ezejwayelekile nezingajwayelekile. Abahlangabezani nemizwa yabantu noma badalule imizwa yabo, ingasaphathwa eyokuba bathene abantu ebuthakathakeni nasekukhohlakaleni kwabo. Abantu abaningi ababalandelayo basebenza ngeziphiwo zabo, futhi konke abakukhululayo kuyimibono yenkolo nolwazi lokucabangela ngenkolo, okuqhelelene nokwenzekayo futhi akukwazi nhlobo ukuphilisa abantu. Empeleni, okubalulekile ngomsebenzi wabo ukuthuthukisa amathalente, ukusimamisa umuntu ongenalutho abe umfundi ogogodile onethalente lokushumayela ogcina eseya kosebenza futhi ahole.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukukhonza uNkulunkulu akulula. Labo abasimo sabo esikhohlakele esihlala singashintshile abanakumkhonza uNkulunkulu. Uma isimo sakho singahlulelwanga futhi sasolwa izwi likaNkulunkulu, kusho ukuthi isimo sakho sisamelela uSathane. Lokhu kwanele ukuveza ukuthi inkonzo yakho kuNkulunkulu imayelana nezinhloso zakho ezinhle. Inkonzo esekelwe emvelweni yakho engubusathane. Ukhonza uNkulunkulu ngesimo sakho esingokwemvelo, nangokuhambisana nezinto ozithandayo; ngaphezu kwalokho, ulokhu ucabanga ukuthi uNkulunkulu ujabulela noma yini ofuna ukuyenza, nokuthi uzonda noma yini ongafuni ukuyenza, futhi uqondiswa ngokuphelele yizinto ozithandayo emsebenzini wakho. Ingabe lokhu kungabizwa ngokukhonza uNkulunkulu? Ekugcineni, isimo sempilo yakho ngeke sishintshwe nakancane; kunalokho, uyoba nenkani ngisho nakakhulu ngoba ubukhonza uNkulunkulu, futhi lokhu kuyokwenza ukuthi isimo sakho esonakele sibe nzima nakakhulu. Ngale ndlela, ngaphakathi uzozakhela imithetho yokukhonza uNkulunkulu ngokuyinhloko esekelwe ebuntwini bakho, nasolwazini oluthole ngenxa yokukhonza ngokuvumelana nesimo sakho. Lokhu yilokho umuntu ahlangene nakho nakufundile. Kuwumbono womuntu ngokuphila emhlabeni. Abantu abanjengalaba bafana nabaFarisi kanye nabaholi benkolo. Uma bengavuki emaqandeni baphenduke, nakanjani bazophenduka oKristu bamanga nabaphikikristu abakhohlisa abantu ezinsukwini zokugcina. OKristu bamanga nabaphikikristu okwakhulunywa ngabo bayovela phakathi kwabantu abanjalo.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukukhonza Kwenkolo Kumele Kususwe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungani abantu abaningi bechitha amandla amakhulu befunda amazwi kaNkulunkulu kodwa benolwazi kuphela futhi bengakwazi kusho lutho ngendlela yangempela kamuva? Ingabe ucabanga ukuthi ukuba nolwazi kulingana nokuba neqiniso? Akuwona yini lowo umbono odidekile? Uyakwazi ukukhuluma izilimi eziningi njengesihlabathi esisebhishi, kodwa alukho kuzo olunendlela yangempela. Kulokhu, awubakhohlisi yini abantu? Awenzi yini umbukiso ongenalutho ongenangqikithi yokuwesekela? Konke ukuziphatha okunje kuyabalimaza abantu! Ukuphakama kwemfundiso, kusho ukuphenduka ize kokungokoqobo, futhi ayanda namathuba okungakwazi ukuletha abantu kokungokoqobo; ukuphakama kwemfundiso, kukwenza ungcolise futhi umelane noNkulunkulu. Ungaphathi izimfundiso eziphakeme kakhulu njengomcebo oyigugu; ziyalimaza futhi azinamsebenzi! Mhlawumbe abanye abantu bayakwazi ukukhuluma ngezimfundiso eziphakeme kakhulu—kodwa izimfundiso ezinjalo azinalutho olungokoqobo, ngoba laba bantu abakaze babhekana nazo ngqo, ngakho abanandlela abangayenza. Labo bantu abakwazi ukuhambisa umuntu emgudwini ofanele, futhi bayogcina ngokuphambukisa abantu. Akubona yini abantu abalimazayo laba? Okungenani, kumele ukwazi ukuxazulula izinkinga zamanje futhi uvumele abantu bafinyelele ukungena; yilokhu kuphela okusebenza njengokuzinikela, futhi kulapho kuphela lapho uyokwazi khona ukusebenzela uNkulunkulu. Ungahlale ukhuluma okuphakeme, amazwi akhazimulayo, futhi ungababophi abantu ubenze bakulalele ngezenzo zakho eziningi ezingafanele. Ukwenza kanjalo ngeke kube namphumela, kungandisa kuphela ukudideka kwabantu. Ukuhola abantu ngale ndlela kuyokwakha izingxenye eziningi zomthetho, okuyokwenza abantu bakuzonde. Leli iphutha lomuntu, futhi liphoxa kakhulu ngempela.

Kucashunwe embhalweni othi “Gxila Kakhulu Kokungokoqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ulwazi lwenu lungakwazi ukusiza abantu isikhashana nje. Ngokuhamba kwesikhathi, uma uqhubeka usho into efanayo, abanye abantu bazokwazi ukubona; bazothi awuzinzile kakhulu, untula kakhulu ekujuleni. Akukho ongakwenza ngaphandle kokuzama ukudukisa abantu ngokukhuluma izimfundiso. Uma uhlale uqhubeka ukhuluma kanje, labo abangaphansi kwakho bazolandela izindlela, izinyathelo nesibonelo sokukholwa kuNkulunkulu nokwazi, futhi bazokwenza lawo mazwi nezimfundiso, ekugcineni, njengoba ukhuluma ngale ndlela, bayosebenzisa wena njengesibonelo. Ukhuluma izimfundiso, lapho uhola abantu, futhi labo abangaphansi kwakho bazofunda izimfundiso kuwe, futhi njengoba izinto ziqhubeka uyobe uthathe indlela engafanele. Labo abangaphansi kwakho balandela indlela yakho, futhi bonke bafunda kuwe bese belandela wena, ngakho uyacabanga: “Nginamandla manje; ngakho abantu abaningi bayangilalela, izwe lizwa ngami.” Le mvelo yokukhaphela okukubantu unganakile kukwenza uphendule uNkulunkulu umenze inhloko engelutho, nawe uqobo ube usuzakhela ihlelo thizeni, iqembu thizeni. Avela ngale ndlela amahlelo ahlukahlukene. Buka abaholi bawo wonke amahlelo. Bonke banenkani, bazenza osiyazi, bachaza iBhayibheli ngaphandle komongo walo nangokwemicabango yabo. Bonke bancike eziphweni nasolwazini olunzulu ukuze benze umsebenzi wabo. Ukube akukho ababekwazi ukukushumayela, ingabe labo bantu bebeyobalandela? Ngemva kwakho konke, kukhona abakufundayo, futhi kuncane abangakusho ngemfundiso, noma ukwazi indlela yokunqoba abanye nendlela yokusebenzisa obunye ubuqili, abalethe ngakho abantu phambi kwabo futhi babakhohlisa. Ngokulindelekile, labo bantu bakholwa kuNkulunkulu—kodwa eqinisweni balandela abaholi babo. Uma behlangana nalabo abashumayela indlela yeqiniso, abanye kubo bayothi, “Kudingeka sixhumane naye ngokukholwa kwethu kuNkulunkulu.” Badinga imvume yomuntu othile ukuze bakholwe kuNkulunkulu; akuyona yini inkinga leyo? Baphenduke ini labo baholi? Ingabe abakabi yini abaFarisi, abelusi bamanga, abaphikikrestu, nezikhubekiso ekwamukeleni kwabantu indlela yeqiniso?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukufuna Iqiniso Kuphela Okuwukukholwa Ngeqiniso KuNkulunkulu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Okwedlule: 17. Yini uKristu wamanga? Ubonakala kanjani uKristu wamanga?

Okulandelayo: 21. Kuyini ukulandela uNkulunkulu?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi