Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Okukhethiweyo Kwamazwi KaNkunkulu USomandla

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

0 Imiphumela Yokufuna

Ayikho imiphumela etholakele.

X. Indlela Yokubona Abelusi Bamanga, AbaphikuKristu, NoKristu Bamanga

1. Umsebenzi womsebenzi ofanelekile ungayisa abantu endleleni eyiyo futhi ubavumele ukuthi bajule eqinisweni. Umsebenzi awenzayo ungaletha abantu phambi kukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi awenzayo ungahlukahlukana kumuntu nomuntu futhi awucindezelwa yimithetho, evumela abantu ukuthi badedele futhi bakhululeke. Phezu kwalokho, bangakhula kancane kancane empilweni, baqhubekele eqinisweni ngokujulile. Umsebenzi womuntu ofanelekile usilela kakhulu; umsebenzi wakhe uwubuwula. Angakwazi ukuholela abantu emithethweni kuphela; lokho akufunayo kubantu kuyehluka ngokomuntu ngamunye; akasebenzi ngokwezidingo zabantu. Kulolu hlobo lomsebenzi, kunemithetho eminingi kakhulu kanye nezimfundiso eziningi kakhulu, futhi ngeke kuze kuholele abantu eqinisweni noma emsebenzini ojwayelekile wokukhula empilweni. Kungenza abantu bakwazi ukuma ngemithetho ethile kuphela. Lolu hlobo lwesiqondiso olungadukisa abantu nje kuphela. Ukuholela ekutheni ube yilokho ayikho; ukwazi ukuhambisa kulokho anakho nayikho. Ukuze abalandeli bakwazi ukwahlukanisa ukuthi ngabe abaholi bafanelekile yini ukuhola, kusemqoka ukuthi babheke inkambo yabo kanye nemiphumela yomsebenzi wabo, futhi babheke ukuthi ngabe abalandeli bathola imigomo ngokweqiniso yini, nokuthi ngabe bathola izindlela zokuqhuba ezibafanele yini ukuze baphenduke. Kumele ukwazi ukwahlukanisa phakathi komsebenzi ohlukene wabantu abahlukene; kumele ungabi umlandeli oyisiwula. Lokhu kulimaza ukungena kwakho. Uma wehluleka ukwahlukanisa ukuthi ngabe ubuholi bomuntu bunenkambo futhi ahamba ngayo noma cha, uzodukiseka kalula. Konke lokhu kunomthelela oqondile empilweni yakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

2. Labo abangawulandeli umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele abakangeni emsebenzini wamazwi kaNkulunkulu, futhi noma bengasebenza kangakanani, noma bengahlupheka kangakanani, noma bengaba matasa kangakanani, konke lokho akusho lutho kuNkulunkulu, futhi ngeke abancome. Namuhla, bonke laba abalandela amazwi kaNkulunkulu amanje basendleleni kaMoya Ongcwele; labo abangawazi amazwi kaNkulunkulu namuhla bangaphandle kwendlela kaMoya Ongcwele, kanti futhi abantu abanjalo uNkulunkulu akajabuli ngabo. Umsebenzi ohlukene namazwi kaMoya Ongcwele amanje ngumsebenzi wenyama, wemiqondo, futhi awukwazi ukuhambisana nentando kaNkulunkulu. Uma abantu bephila phakathi komqondo wenkolo, kusho ukuthi abakwazi ukwenza nanoma yini ehambisana nentando kaNkulunkulu, yize besebenzela uNkulunkulu, bamsebenzela ingakashintshi indlela abacabanga ngayo, futhi abakwazi ukusebenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu. Labo abangakwazi ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele abayiqondi intando kaNkulunkulu, kanti labo abangayiqondi intando kaNkulunkulu ngeke bamsebenzele uNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna umsebenzi ofuna inhliziyo yaKhe; akafuni umsebenzi womqondo nenyama. Uma abantu bengakwazi ukulandela izinyathelo zomsebenzi kaMoya Ongcwele, kusho ukuthi baphila ngemiqondo. Ukusebenza kwabantu abafana nalaba kuyaphazamisa, futhi ukusebenza okunjalo kuphambene noNkulunkulu. Ngalokho labo abangakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu nakanjani baphikisana noNkulunkulu, futhi akunakwenzeka bavumelane noNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

3. Umsebenzi osemqondweni womuntu ufinyelwa kalula umuntu. Abefundisi nabaholi bezenkolo, isibonelo, bathembele eziphiweni nasezikhundleni zabo uma benza imisebenzi yabo. Abantu ababalandela isikhathi eside batheleleka ngeziphiwo zabo futhi babe negalelo kubo ngokunye abakwenzayo. Bagxila eziphiweni zabantu, namakhono kanye nolwazi, futhi bagxila kwezinye izinto ezingasizo ezemvelo kanye nenqwaba yezimfundiso ezaziwayo nezingasizo ezeqiniso (nakanjani, lezi zimfundiso ezaziwayo akufinyeleleki kuzo). Abagxili ekushintsheni ezimilo zabantu, kodwa bagxila ekuqeqesheni amakhono abantu okushumayela nawokusebenza, bandisa ulwazi lwabantu kanye nezimfundiso zezenkolo kabanzi. Abagxili ekutheni izimilo zabantu zishintsha kanjani noma ukuthi abantu baliqonda kangakanani iqiniso. Abazikhathazi ngokubalulekile kubantu, futhi abazami nokwazi izimo zabantu ezejwayelekile nezingajwayelekile. Abahlangabezani nemizwa yabantu noma abadaluli imizwa yabo, kube abalungisi umonakalo noma inkohlakalo ekubo. Abantu abaningi ababalandelayo basebenza ngeziphiwo zabo zemvelo, futhi lokho abakuvezayo kuwulwazi kanye neqiniso elingacacile lezenkolo, eliqhelelene nokwenzekayo futhi akukwazi nhlobo ukuphilisa abantu. Empeleni, okubalulekile ngomsebenzi wabo ukuthuthukisa amathalente, ukusimamisa umuntu ongenalutho abe umfundi ogogodile onethalente lokushumayela ogcina eseya kosebenza futhi ahole.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

4. Abantu abaningi ngokungifihlela bafisa isibusiso sobukhulu ngesikhundla, bazigxisha ngokudla, bathanda ukulala futhi banakekele kakhulu inyama, bahlala besaba ukuthi asikho isixazululo senyama. Abawenzi umsebenzi wabo ofanele ebandleni, kodwa badla mahhala ebandleni, noma bayale abafowabo nodadewabo ngamazwi Ami, bama phezulu bese bechachaza phezu kwabanye. Laba bantu baqhubeka nokuthi benza intando kaNkulunkulu, bahlale bethi bangabasondelene noNkulunkulu—ingabe ukhona umqondo kulokhu? Uma unokukhuthazeka okufanele, kodwa ungakwazi ukukhonza intando kaNkulunkulu, ngalokho uyisilima; kodwa uma ukukhuthazeka kwakho kungalungile, futhi usasho ukuthi ukhonza uNkulunkulu, ngakho ungumuntu omelene noNkulunkulu, futhi kumele ujeziswe nguNkulunkulu! Anginalo uzwelo kubantu abanjalo! Endlini kaNkulunkulu badla mahhala, bahlala befisa ukunethezeka kwenyama, abanakho ukucabangela lokho okubalulekile kuNkulunkulu; bahlala befuna okuhle kubo, futhi abalaleli intando kaNkulunkulu. Abemukeli ukucutshungulwa uMoya kaNkulunkulu kukho konke abakwenzayo. Bahlala bakhela uzungu futhi bekhohlisa abafowabo nodadewabo, benobuso obubili, njengempungushe esinini samagilebhisi, njalo intshontsha amagilebhisi, futhi igxoba isivini samagilebhisi. Bangaba yini abangane baNkulunkulu abantu abanjalo? Ukulungele yini ukwamukela izibusiso zikaNkulunkulu? Awunakekeli impilo yakho kanye nebandla, ingabe ukulungele ukwamukela umyalelo kaNkulunkulu akuphathisa wona? Ubani ungalokotha athembe umuntu onjalo? Uma ukhonza kanje, uNkulunkulu angalokotha yini akuphathise umsebenzi omkhulu? Ingabe awubambezeli izinto na?

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

5. Ukhonza uNkulunkulu ngesimo sakho esingokwemvelo, nangokuhambisana nezinto ozithandayo; ngaphezu kwalokho, ulokhu ucabanga ukuthi uNkulunkulu ujabulela noma yini ofuna ukuyenza, nokuthi uzonda noma yini ongafuni ukuyenza, futhi uqondiswa ngokuphelele yizinto ozithandayo emsebenzini wakho. Ingabe lokhu kungabizwa ngokukhonza uNkulunkulu? Ekugcineni, isimo sempilo yakho ngeke sishintshwe nakancane; kunalokho, uyoba nenkani ngisho nakakhulu ngoba ubukhonza uNkulunkulu, futhi lokhu kuyokwenza ukuthi isimo sakho esonakele sibe nzima nakakhulu. Ngale ndlela, ngaphakathi uzozakhela imithetho yokukhonza uNkulunkulu ngokuyinhloko esekelwe ebuntwini bakho, nasolwazini oluthole ngenxa yokukhonza ngokuvumelana nesimo sakho. Lokhu kuyisifundo esivela olwazini lwabantu. Kuwumbono womuntu ngokuphila. Abantu abanjengalaba bafana nabaFarisi kanye nabaholi benkolo. Uma bengavuki emaqandeni baphenduke, bazogcina bephenduke oKristu bamanga abazovumbuka ezinsukwini zokugcina futhi badukise abantu. OKristu bamanga nabakhohlisi okwakuthiwe bayovela kulolu hlobo lomuntu. Uma labo abakhonza uNkulunkulu belandela ubuntu babo futhi benze ukuthanda kwabo, khona-ke basengozini enkulu yokulaxazwa nganoma yisiphi isikhathi. Labo abasebenzisa ulwazi lwabo lweminyaka eminingi bekhonza uNkulunkulu ukuze bazuze izinhliziyo zabanye, ukubashumayeza nokubavimba, nokubeya—futhi abangakaze baphenduke, bavume izono zabo, bayeke ukuqhakambisa izinzuzo zesikhundla—laba bantu bayowa phambi kukaNkulunkulu. Bangabantu abawuhlobo olulodwa noPawulu, bazidla ngezikhundla zabo eziphezulu futhi babukise ngezimfanelo zabo. UNkulunkulu ngeke alethe abantu abanjena ekuphelelisweni. Lolu hlobo lwenkonzo lugxambukela emsebenzini kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukukhonza Kwenkolo Kumele Kususwe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

6. Uyakwazi ukukhuluma izilimi eziningi njengesihlabathi esisebhishi, kodwa alukho kuzo olunendlela yangempela. Kulokhu, awubakhohlisi yini abantu? Awenzi yini umbukiso ongenalutho ongenangqikithi yokuwesekela? Konke ukuziphatha okunje kuyabalimaza abantu! Ukuphakama kwemfundiso, kusho ukuphenduka ize kokungokoqobo, futhi ayanda namathuba okungakwazi ukuletha abantu kokungokoqobo; ukuphakama kwemfundiso, kukwenza ungcolise futhi umelane noNkulunkulu. Ungaphathi izimfundiso eziphakeme kakhulu njengomcebo oyigugu; ziyalimaza futhi azinamsebenzi! Mhlawumbe abanye abantu bayakwazi ukukhuluma ngezimfundiso eziphakeme kakhulu—kodwa izimfundiso ezinjalo azinalutho olungokoqobo, ngoba laba bantu abakaze babhekana nazo ngqo, ngakho abanandlela abangayenza. Labo bantu abakwazi ukuhambisa umuntu emgudwini ofanele, futhi bayogcina ngokuphambukisa abantu. Akubona yini abantu abalimazayo laba? Okungenani, kumele ukwazi ukuxazulula izinkinga zamanje futhi uvumele abantu bafinyelele ukungena; yilokhu kuphela okusebenza njengokuzinikela, futhi kulapho kuphela lapho uyokwazi khona ukusebenzela uNkulunkulu. Ungahlale ukhuluma okuphakeme, amazwi akhazimulayo, futhi ungababophi abantu ubenze bakulalele ngezenzo zakho eziningi ezingafanele. Ukwenza kanjalo ngeke kube namphumela, kungandisa kuphela ukudideka kwabantu. Ukuhola abantu ngale ndlela kuyokwakha izingxenye eziningi zomthetho, okuyokwenza abantu bakuzonde. Leli iphutha lomuntu, futhi liphoxa kakhulu ngempela.

Kucashunwe embhalweni othi “Gxila Kakhulu Kokungokoqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

7. Buka abaholi bawo wonke amahlelo. Bonke banenkani, bazenza osiyazi, bachaza iBhayibheli ngaphandle komongo walo nangokwemicabango yabo. Bonke bancike eziphweni nasolwazini olunzulu ukuze benze umsebenzi wabo. Ukube akukho ababekwazi ukukushumayela, ingabe labo bantu bebeyobalandela? Ngemva kwakho konke, kukhona abakufundayo, futhi kuncane abangakusho ngemfundiso, noma ukwazi indlela yokunqoba abanye nendlela yokusebenzisa obunye ubuqili, abalethe ngakho abantu phambi kwabo futhi babakhohlisa. Ngokulindelekile, labo bantu bakholwa kuNkulunkulu—kodwa eqinisweni balandela abaholi babo. Uma behlangana nalabo abashumayela indlela yeqiniso, abanye kubo bayothi, “Kudingeka sixhumane naye ngokukholwa kwethu kuNkulunkulu.” Badinga imvume yomuntu othile ukuze bakholwe kuNkulunkulu; akuyona yini inkinga leyo? Baphenduke ini labo baholi? Ingabe abakabi yini abaFarisi, abelusi bamanga, abaphikikrestu, nezikhubekiso ekwamukeleni kwabantu indlela yeqiniso? Lolu hlobo lwabantu lufana noPawulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukufuna Iqiniso Kuphela Okuwukukholwa Ngeqiniso KuNkulunkulu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

9. Uma uNkulunkulu ethatha isimo senyama futhi efika ukuzosebenza phakathi kwabantu, bonke bayambona uNkulunkulu futhi bayezwa amazwi Akhe, futhi bonke bayabona okwenziwa uNkulunkulu enyameni. Ngaleso sikhathi, yonke imibono yomuntu yancibilika yaba yize. Kulabo ababona uNkulunkulu evela enyameni, bonke abanokulalela ezinhliziyweni zabo ngeke balahlwe, kepha labo abamelana Naye ngamabomu kuzothiwa bayisitha sikaNkulunkulu. Abantu abanjalo bangabaphikiKristu futhi bayizitha ezimelana noNkulunkulu ngenhloso. … Labo abamelana noNkulunkulu esesimweni sesintu ngenhloso bayojeziswa ngobuhlongandlebe babo. Ukumelana kwabo ngenhloso noNkulunkulu kusuka emicabangweni yabo Ngaye, edala ukuthi baphazamise umsebenzi kaNkulunkulu. Abantu abanjalo ngamabomu bayamelana futhi bachithe umsebenzi kaNkulunkulu. Abamane babe nemibono ngoNkulunkulu, kodwa benza lokho okuphazamisa umsebenzi Wakhe, futhi kungenxa yalesi sizathu abantu abanjalo beyolahlwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Bonke Abantu Abangamazi UNkulunkulu Bangabantu Abaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

10. Umuntu oyihlongandlebe kunabo bonke umuntu oweyisa futhi amelane noNkulunkulu ngenhloso. Uyisitha sikaNkulunkulu futhi ungumphikikristu. Umuntu onjalo ugcina umoya wobutha njalo mayelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu, akaze akhombise nencane inhloso yokuzithoba, futhi akakaze alalele noma azehlise noma azithobe. Uyazikhukhumeza phambi kwabanye kanti akazithobi nhlobo komunye. Phambi kukaNkulunkulu uzibona enguchwepheshe ekushumayeleni izwi futhi enekhono kakhulu ekusebenzeni kwabanye. Akalingi alahle “amagugu” asenawo, kodwa uwathatha njengezinto zomndeni eziyigugu ezivela kokhokho okufanele zikhonzwe, kushunyayelwe ngazo kwabanye, futhi usebenzisa ukufundisa lezo ziphukuphuku ezimthanda kakhulu. Impela bakhona abantu abanje ebandleni. Kungashiwo ukuthi “bangamaqhawe angenakunqotshwa,” isizukulwane emuva kwesizukulwane bayavakasha endlini kaNkulunkulu. Bacabanga ukuthi ukushumayela izwi (imfundiso) kungumsebenzi wabo osemqoka. Unyaka nonyaka, isizukulwane emuva kwesinye, bawenza ngomdlandla umsebenzi wabo “ocwebileyo nongaphiliseki”. Abekho abalinga ukubathinta futhi abekho abalinga ukuthi babasole obala. Baphenduka “amakhosi” endlini kaNkulunkulu, bephithizela ngenkathi bebusa phezu kwabanye iminyaka ngeminyaka. Leli qulu lamadimoni lifuna ukuhlangana bese ndawonye alibhidlize umsebenzi Wami; ngingabavumela kanjani labo develi abaphilayo babe khona phambi kwamehlo Ami?

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

11. Ukumelana kwenu noNkulunkulu kanye nokuvimbela umsebenzi woMoya oNgcwele kudalwa imibono yenu kanye nokukhukhumala okusemvelweni yenu. Akukhona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awulunganga, kodwa yingoba anilaleli kakhulu ngokwemvelo. Emuva kokuthola ukholo lwabo kuNkulunkulu, abanye abantu abakwazi ngisho ukusho ngesiqiniseko ukuthi umuntu waqhamuka kuphi, kepha bayalokotha bathule izinkulumo emphakathini behlola ukulunga nokungalungi komsebenzi woMoya oNgcwele. Futhi baze bafundise abaphostoli abanomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, bephawula futhi bekhuluma kungafanele; ubuntu babo buphansi kakhulu, futhi abanangqondo kwakona. Ngeke lufike na usuku lapho abantu abanjalo beyolahlwa umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bashe emililweni yasesihogweni. Abawazi umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa kunalokho bayawugxeka umsebenzi Wakhe, futhi baphinde bazame ukutshela uNkulunkulu ukuthi asebenze kanjani. Bangamazi kanjani abantu abangenangqondo kanjalo uNkulunkulu? Umuntu ufinyelela ekwazini uNkulunkulu ngesikhathi senqubo yokumfuna nokuzizwela Yena; ufika ekumazini uNkulunkulu ngokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, hhayi ngokumgxeka ngomathanda. Uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu luya ngokucophelela, bayanciphisa ukumelana Naye. Uma siqhathanisa, uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu luphansi, yilapho kulula ukuthi bamelane Naye. Imibono yakho, imvelo yakho endala, nobuntu, isimilo kanye nesimo sakho sokuziphatha, “isamba” omelana ngaso noNkulunkulu, futhi ngangokukhohlakala, ukonakaliswa kanye nokubaphansi oyikho, ingangokunyukela kokuba kwakho isitha sikaNkulunkulu. Labo abanemibono emibi kakhulu futhi abanesimo sokuzithwala banobutha ngisho nakakhulu noNkulunkulu othathe isimo sesintu, futhi abantu abanjalo abaphikikristu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

12. Labo abafunda iBhayibheli emasontweni amakhulu, kepha akekho noyedwa oqondayo inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu. Akekho noyedwa okwazi ukwazi uNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, akekho noyedwa ovumelana nenhliziyo kaNkulunkulu. Bonke bangabantu abangenamsebenzi, abanyanyekayo, ngamunye bamile phezulu ukufundisa uNkulunkulu. Nakuba belibiza igama likaNkulunkulu, bamelana Naye ngenhloso. Nakuba bezibiza ngokwabo ukuthi bangamakholwa kaNkulunkulu, bayilabo abadla inyama futhi baphuze igazi lomuntu. Bonke abantu abanjalo bangoSathane abadla umphefumulo womuntu, amadimoni amakhulu aphazamisa ngenhloso labo abazama ukungena endleleni efanele, nezikhubekiso ezikhinyabeza indlela yalabo abafuna uNkulunkulu. Nakuba “bephile qingqo,” abalandeli babo bangazi kanjani ukuthi bangabaphikiKristu abaholela abantu ekuphikisaneni noNkulunkulu? Bangazi kanjani ukuthi bangamadimoni aphilayo afuna imiphefumulo azoyidla?

Kucashunwe embhalweni othi “Bonke Abantu Abangamazi UNkulunkulu Bangabantu Abaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

13. Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

14. UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi. UKristu akasikho nje ukubonakaliswa kukaNkulunkulu emhlabeni, kodwa futhi uyinyama embethwe uNkulunkulu njengoba ephethe futhi eqedela umsebenzi Wakhe kubantu. Le nyama akusiyo leyo endawo yayo ingathathwa yinoma imuphi umuntu, kodwa yileyo engathwala umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela egculisayo emhlabeni, futhi ibonakalisa isimo sikaNkulunkulu, futhi inika abantu ukuphila. Esikhathini esingatheni, labo abazenza uKristu bayowa, ngoba yize bethi banguKristu, akukho abanakho okuwumgogodla kaKristu. Ngakho ngithi ubuqiniso ngoKristu ngeke buchazwe umuntu, kodwa kuphendulwa futhi kunqunywe uNkulunkulu Uqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

15. UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe ubuntu noma ubunkulunkulu Bakhe, kokubili kuthobela intando kaBaba osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; le ngqikithi angeke iwuphazamise umsebenzi Wakhe, futhi akukho angakwenza okubulala umsebenzi Wakhe, futhi angeke akhulume amazwi aphambana nentando Yakhe.

……

Yize noma uKristu emele uNkulunkulu uqobo Lwakhe enyameni futhi ewenza Yena umsebenzi okumele wenziwe uNkulunkulu uqobo Lwakhe, akakuphiki ukuthi uNkulunkulu ukhona ezulwini, futhi akajahi ukumemezela imisebenzi Yakhe. Kunalokho, uhlala ecashile enyameni Yakhe. Ngaphandle kukaKristu, labo abazibiza ngokungelona iqiniso ngoKristu abanakho lokho anakho Yena. Uma eqhathaniswa nesimo soKristu bamanga abazidlayo nabaziphakamisa, kuyacaca ukuthi unhloboni yenyama uKristu. Ukukhula kwezinga lamanga abayiwo, kwenza laba oKristu bamanga baziveze, kanti futhi kulapho beba namandla okwenza izimpawu nezimangaliso ukuze bakhohlise abantu. OKristu bamanga abanaso isimo sikaNkulunkulu; uKristu akangcoliswa nawokuncane nje okungokoKristu bamanga. UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze aphelelise umsebenzi wenyama, hhayi ngoba efuna ukuthi abantu bambone. Kunalokho, wenza umsebenzi Wakhe ukuthi kube yiwo oqinisekisa ubuyena, avumele lokhu akuvezayo ukuthi kufakazele ingqikithi Yakhe. Ingqikithi yakhe inesisekelo; ubuyena abubanjiwe yisandla Sakhe; kodwa bubonakaliswa umsebenzi Wakhe nengqikithi Yakhe. …

Umsebenzi nokuvezwa uKristu kuveza ingqikithi Bakhe. Uyakwazi ukuqeda ngenhliziyo eneqiniso konke lokhu athenjwe ngakho. Uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu osezulwini ngenhliziyo eneqiniso, futhi ngenhliziyo eneqiniso afune intando kaNkulunkulu uBaba. Konke lokhu kuvezwa ingqikithi Yakhe. Kanjalo nokwembuleka kwendalo kuvezwa ingqikithi Yakhe; isizathu sokuthi ukwembuleka Kwakhe kwendalo kubizwe kanjena ukuthi lokhu akuvezayo akukhona okokufanekisa, noma umphumela wokufundiswa umuntu, noma umphumela weminyaka eminingi elungiswa ngumuntu. Akazange akufunde noma azihlobise ngakho; kunalokho, kuyinto engaphathi Kuye.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

16. Uma, njengamanje, kungavela umuntu okwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, akhiphe amadimoni, asindise abagulayo, futhi enze izimangaliso eziningi, futhi uma lo muntu ethi unguJesu obuyile, ngabe lokhu kuyinkohliso yemimoya emibi, kanye nokulingisa kwakhe uJesu. Khumbula lokhu! UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi owodwa. Isigaba sikaJesu somsebenzi sesivele siqediwe, futhi uNkulunkulu ngeke abuye enze lesi sigaba somsebenzi.Umsebenzi kaNkulunkulu ngeke uhambisane nemicabango yabantu; njengesibonelo, iTestamente Elidala labikezela ngokuza kukaMesiya, kodwa kwenzeka ukuthi uJesu afike, ngakho kungaba yiphutha ukuthi omunye uMesiya afike futhi. UJesu usefikile kanye, futhi kungaba yiphutha uma uJesu ubengeza futhi manje. Kunegama elilodwa enkathini ngayinye, futhi igama ngalinye lifuza inkathi. Emicabangweni yomuntu, uNkulunkulu kufanele njalo enze izimpawu nezimangaliso, kufanele njalo asindise abagulayo futhi akhiphe amadimoni, futhi kufanele njalo abenjengoJesu, kepha manje uNkulunkulu akanjalo neze. Uma, ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu wayesenza izimpawu nezimangaliso, futhi esakhipha amadimoni futhi asindise abagulayo—ukuba ubenza njengoJesu uqobo—uNkulunkulu ubengabe uphinda umsebenzi ofanayo, futhi umsebenzi kaJesu ubungeke ube nokubaluleka nosizo. Ngakho uNkulunkulu wenza isigaba esisodwa somsebenzi kuzo zonke izinkathi. Uma isigaba somsebenzi wakhe sesiphelile, silingiswa yimimoya emibi ngokushesha emuva kwalokho, futhi emuva kokuthi uSathane eqalise ukulandela uNkulunkulu eduzane, uNkulunkulu uguqukela endleleni ehlukile. Uma uNkulunkulu eseqede isigaba somsebenzi wakhe, ulingiswa imimoya emibi. Kufanele nicacelwe yilokhu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

17. Kunabanye abathile abanemimoya emibi futhi abalokhu bememeza bethi, “NginguNkulunkulu!” Nokho ekugcineni, abakwazi ukuhlala bemile, ngoba basebenza egameni longafanele. Bamele uSathane futhi uMoya oNgcwele awubanaki. Nokho kungakhathaleki ukuthi uziphakamisa kangakanani noma ukuthi umemeza kakhulu kangakanani, usewumuntu owadalwa futhi uyilowo ongokaSathane. Angimemezi, nginguNkulunkulu, ngiyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo! Kodwa umsebenzi engiwenzayo okaNkulunkulu. Ingabe kudingeka ngimemeze? Asikho isidingo sokuphakanyiswa. UNkulunkulu uzenzela Yena mathupha umsebenzi futhi akadingi ukuba umuntu amnike isikhundla noma isiqu sokumhlonipha, futhi umsebenzi Wakhe wanele ukuba umele isiqu kanye nesikhundla Sakhe. Ngaphambi kokubhabhathizwa Kwakhe, ngabe uJesu wayengeyena uNkulunkulu uqobo? Ingabe wayengeyena uNkulunkulu osenyameni? Ngempela ngeke kuthiwe waba yindodana eyodwa kaNkulunkulu kuphela ngemva kokuba esefakazelwe? Ingabe yayingekho indoda okwakuthiwa nguJesu esikhathini eside ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe? Awukwazi ukuveza izindlela ezintsha noma umele uMoya. Awukwazi ukuveza umsebenzi kaMoya noma amazwi awakhulumayo. Awukwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo noma okaMoya. Awukwazi ukuveza ukuhlakanipha, ukumangalisa nokungaqondakali kukaNkulunkulu, noma sonke isimo uNkulunkulu asola ngaso abantu. Ngakho ukulokhu uthi unguNkulunkulu akusho lutho; unegama kuphela isiqu awunaso. UNkulunkulu uqobo ufikile, kodwa akekho noyedwa ombonayo, nokho uyaqhubeka nomsebenzi Wakhe futhi uwenza emelwe uMoya. Noma umbiza ngomuntu noma ngoNkulunkulu, iNkosi noma uKristu noma ngoDadewethu, konke kulungile. Kodwa umsebenzi awenzayo ungowoMoya futhi umele umsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Akanandaba nokuthi abantu bambiza ngaliphi igama. Igama lingawuchaza yini umsebenzi Wakhe? Ngisho noma kuthiwa umbiza ngokuthini, ngokweso likaNkulunkululu, uyinyama yoMoya kaNkulunkulu osenyameni onoMoya Wakhe; umele uMoya futhi ugunyazwe Nguye. Awukwazi ukuvulela inkathi entsha indlela, futhi ngeke ukwazi ukuqeda nokungenisa inkathi entsha noma wenze umsebenzi omusha. Ngakho awukwazi ukubizwa ngoNkulunkulu!

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

18. Uma umuntu ezibiza ngoNkulunkulu ebe engakwazi ukubonakalisa ubuNkulunkulu bakhe, enza umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo, akunakungatshazwa ukuthi akasiye uNkulunkulu, ngoba akanawo umongo kaNkulunkulu, futhi lokho uNkulunkulu angakwazi ukukufeza akukho ngaphakathi kuye.

Kucashunwe embhalweni othi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule:IX. Umehluko Phakathi Komsebenzi KaNkulunkulu Nowomuntu

Okuqukethwe Okuhlobene