Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Okukhethiweyo Kwamazwi KaNkunkulu USomandla

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

0 Imiphumela Yokufuna

Ayikho imiphumela etholakele.

IV. Ngeqiniso Lensindiso ENkathini Yomusa Nensindiso Enkathini Yombuso

1. Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

2. Isintu sase sidinga ukwemukeka iNkosi uJesu njengoMsindisi ukuze izono zaso zithethelelwe. Ngokubuka, izono zomuntu zabe zingasesona isithiyo ekutholeni kwakhe insindiso futhi ukuza phambi kukaNkulunkulu futhi zabe zingaseyona into uSathane ayengasizakala ngayo ukumangalela umuntu. Yingoba uNkulunkulu uqobo Lwakhe wayenze umsebenzi ngempela, wayefike efana nenyama yesono, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wabe engumhlabelo wesono. Ngale ndlela, umuntu wahlika esiphambanweni, ehlengiwe futhi esindisiwe ngenxa yenyama kaNkulunkulu, umfanekiso wale nyama yesono.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

3. Inyama yomuntu ekaSathane, igcwele izimo ezingalaleli, ingcole ngokudabukisayo, iyinto engcolile. Abantu bathanda intokozo yenyama kakhulu futhi kuningi kakhulu ukubonakaliswa kwenyama; kungakho uNkulunkulu enyanya inyama ngokwezinga elithile. Uma abantu beshiya izinto ezingcolile, ezikhohlakele zikaSathane, bazuza insindiso kaNkulunkulu. Kodwa uma bengakakwazi ukuzihlukanisa nokungcola nenkohlakalo, khona-ke basaphila ngaphansi kombuso kaSathane. Ubuqili, ukukhohlisa, nobukhwembe kwabantu konke kuyizinto zikaSathane. Ukukusindisa kukuvumela ukuba uphunyuke kulezi zinto. Umsebenzi kaNkulunkulu angeke ungalungi; wenzelwa ukusindisa abantu ebumnyameni. Uma uke wakholwa ukufikela ezingeni elithile futhi uzihlukanise nenkohlakalo yenyama, ungasaboshiwe yile nkohlakalo, ubungesindiswe? Uma uphila ngaphansi kombuso kaSathane awukwazi ukubonakalisa uNkulunkulu, uyinto engcolile, futhi awusoze wathola ifa likaNkulunkulu. Uma usuhlanziwe wapheleliswa, uzoba ngcwele, futhi uzojwayeleka, futhi uzobusiswa uNkulunkulu futhi uthokozeleke kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

4. Labo abasindiswe uNkulunkulu yilabo abadlule ezilingweni, futhi abaye balingwa futhi bahlaselwa uSathane izikhathi eziningi. Labo abasindiswe uNkulunkulu bayayiqonda intando nezimfuneko zikaNkulunkulu, futhi bayakwazi ukuzithoba ebukhosini nasemalungiselelweni kaNkulunkulu, futhi abayishiyi indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi ngemva kwezilingo zikaSathane. Labo abasindiswa uNkulunkulu bathembekile, banenhliziyo enhle, benza kube nomehluko phakathi kothando nenzondo, banobulungiswa futhi bahluzekile, futhi bayakwazi ukunakekela uNkulunkulu nokwazisa konke okukaNkulunkulu. Abantu abanjalo uSathane ngeke ahlale ebamangalela futhi ebahlukumeza, bakhululeke ngokuphelele, futhi bakhululwe ngokuphelele. UJobe wayeyindoda ekhululeke kanjalo, futhi lokhu yisizathu kanye esasenze uNkulunkulu wamnikela kuSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

6. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

7. Lapho uJesu enza umsebenzi Wakhe, ulwazi lomuntu ngaye lwalungakacaci. Umuntu wayelokhu ecabanga ukuthi uyindodana kaDavide futhi emmemezela njengomphrofethi omkhulu neNkosi enomusa eyakhulula umuntu esonweni. Abanye, ngenxa yokholo, baphulukiswa ngokuthinta nje umphetho wengubo Yakhe; abangaboni base bebona ngisho nababefile babuyiselwa ekuphileni. Nokho, umuntu akazange ayithole impande ejulile yesimo sobuSathane esonakele kuye futhi akakwazanga ukuyilahla. Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayemane enze izono, azivume njengenjwayelo ngaphandle kokuguqula izindlela zawo; zazinjalo izimo zabantu zemvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

8. Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

9. Isoni esifana nawe, esisanda kuhlengwa, futhi esingakaguquki, noma sapheleliswa nguNkulunkulu, ungayifuna inhliziyo kaNkulunkulu? Nina, enisenobumina bakudala, kuyiqiniso ukuthi nisindiswe nguJesu, nokuthi anibaliwe njengezoni ngenxa yensindiso kaNkulunkulu, kodwa lokhu akufakazeli ukuthi aninasono, nokuthi aningcolile. Ningaba ngcwele kanjani uma ningakaguquki? Ngaphakathi kini, nigcine ukungcola, ubugovu nokudelela, kodwa nisafuna ukwehla noJesu – ngabe ninenhlanhla! Niphuthwe isinyathelo ekukholweni kwenu kuNkulunkulu: Nihlengiwe nje, kodwa anikaguquki. Ukuthi nifune inhliziyo kaNkulunkulu, uNkulunkulu kufanele azenzele Ngokwakhe umsebenzi wokukuguqula nowokukuhlanza; uma uhlengiwe kuphela, ngeke ukwazi ukuzuza ukungcweliswa. Ngale ndlela ngeke ukulungele ukwabelana ngezibusiso ezinhle zikaNkulunkulu ngoba weqe isinyathelo emsebenzini kaNkulunkulu sokuphatha umuntu, okuyisinyathelo esisemqoka sokuguqulwa nokupheleliswa. Manje-ke wena, soni esisanda kuhlengwa, awukwazi ukuthola ifa likaNkulunkulu ngqo.

Kucashunwe embhalweni othi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

10. Umuntu akakwazi ukusindiswa ezonweni zakhe ngokugcwele ngokuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni futhi angeke enziwe aphelele ngokwambulwa kwezibonakaliso nezimangaliso. Igunya lokuphulukisa nelokuxosha amadimoni limnikeza umusa kuphela umuntu kodwa inyama yomuntu isengekaSathane futhi isimo esonakele sobusathane sisekumuntu. Ngamanye amazwi, lokho okungakahlanzwa kusengokwesono nokungcola. Kungemuva kokuba umuntu esehlanziwe ngamazwi kuphela lapho engazuzwa nguNkulunkulu futhi angcweliswe. Uma kungekho okwenziwe ngaphezu kokuxosha amadimoni kumuntu nokumkhulula, lokho kungukumsusa kuphela ezandleni zikaSathane nokumbuyisela kuNkulunkulu. Nokho, akakahlanzwa noma akakashintshwa nguNkulunkulu, futhi futhi usalokhu onakele. Phakathi kumuntu kusekhona ukungcola, ukuphikisa futhi nokuvukela; umuntu ubuyele kuphela kuNkulunkulu ngokukhululwa, kodwa umuntu akanalo ulwazi ngaye futhi uyamelana futhi uyamlahla uNkulunkulu. Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

11. Umsebenzi ngezinsuku zokugcina uwukukhuluma amazwi. Zinkulu izinguquko ezingenzeka kubantu ngamazwi. Izinguquko ezenzekile kulaba bantu ekwamukeleni la mazwi zinkulu kakhulu kunalezo zangeNkathi Yomusa ekwamukeleni lezo zibonakaliso nezimangaliso. Ngoba, eNkathini Yomusa, amadimoni asuka kumuntu ngenxa yokubekwa kwezandla nemithandazo kodwa izimo zokonakala ngaphakathi kumuntu zahlala zikhona. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

12. Uma uNkulunkulu ezuza abantu, ukwenza lokhu ikakhulu esebenzisa amazwi kanye nokukhuluma kukaNkulunkulu wokoqobo ukuze abhekane nokuntuleka kubantu, nokwahlulela kanye nokwembula isimo sabo sokuhlubuka, ebenza ukuba bazuze lokhu abakudingayo, futhi ababonise ukuthi uNkulunkulu ufikile phakathi kwabantu. Okubaluleke kakhulu, umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu wokoqobo, usindisa abantu bonke ethonyeni likaSathane, ubasusa ezweni lokungcola, futhi axoshe isimo sabo esikhohlakele. Ukubaluleka okukhulu kakhulu kokuzuzwa nguNkulunkulu wokoqobo ukuthi ukwazi ukuthatha uNkulunkulu wokoqobo njengesibonelo, njengesifanekiso, futhi nokuphila ubuntu obujwayelekile, ukwazi ukwenza njengokwamazwi kanye nezidingo zikaNkulunkulu wokoqobo, ngaphandle kokuphambuka nakancane noma ukusuka, ukwenza njengalokhu esho, futhi ukwazi ukufeza noma yini ayicelayo. Ngale ndlela, uyobe usuzuziwe nguNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

13. Abantu abazuzwa uNkulunkulu ilabo abamthobela ngokuphelele, labo abakhohlakaliswe uSathane kodwa abasindisiwe banqotshwa umsebenzi Wakhe manje, ababekezelele izinsizi kwathi ekugcineni bazuzwa ngokuphelele uNkulunkulu abangasaphili ngaphansi kwesandla sikaSathane asebekhululekile ekungalungini, abafisa ukuphila impilo yobungcwele—laba abantu abangcwele ngcwele; bangabangcwele.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Wazi Ukuthi Sonke Isintu Sithuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

14. Lapho uNkulunkulu ephelelisa abantu, uyabahlambulula futhi ngokuya bebamsulwa kakhulu, baya beqhubeka nokupheleliswa nguNkulunkulu. Uma ukungcola, ukuhlubuka, ukuphikisana, kanye nezinto zenyama phakathi kuwe zixoshwa, uma usuhlanjululiwe, uyobe sewuthandwa nguNkulunkulu (futhi ngamanye amazwi, uyobe sewuba ngcwele); uma usuphelelisiwe nguNkulunkulu futhi waba ngcwele, uyobe sewuseMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkulumo Emfishane Mayelana nombhalo othi ‘Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

15. Umuntu uzongabi nemvelo enesono uma esecwengiwe, ngoba uNkulunkulu uzobe esemnqobile uSathane, okusho ukuthi ngeke kube khona ukuphazamisa kwamandla anobutha, futhi azobe engekho amandla anobutha angahlasela inyama yomuntu. Ngakho umuntu uzobe ekhululekile futhi engcwele—uzobe esengene kwiphakade.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Elungile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

16. Labo abakwazi ukuma baqine phakathi nomsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela nokusola phakathi nezinsuku zokugcina—okungukuthi, phakathi nomsebenzi wokugcina wokuhlanza—kuyoba yilabo abayongena ekuphumuleni kokugcina kanye noNkulunkulu; ngakho, labo abangena ekuphumuleni bayobe bekhululiwe ethonyeni likaSathane futhi bayobe bezuzwe uNkulunkulu ngemva kokudlula kwabo emsebenzini Wakhe wokuhlanza wokugcina. Laba bantu abazuzwe uNkulunkulu bayongena ekuphumuleni kokugcina. Isici somsebenzi kaNkulunkulu wokusola nokwahlulela ukuhlanza isintu, futhi usuku lokuphumula kokugcina. Ngale kwalokho, bonke abantu ngeke bekwazi ukulandela uhlobo lwabo noma ukungena ekuphumuleni. Lo msebenzi uwukuphela kwendlela yokungena kwesintu ekuphumuleni. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlanza kuphela oyohlanza isintu ekungalungini kwaso, futhi umsebenzi Wakhe wokusola nokwahlulela kuphela oyoveza lezo zinto zokungalaleli phakathi kwesintu, ngalokho wehlukanise labo abangasindiswa kulabo abangeke basindiswe, nalabo abayosala kulabo abangeke basale. Lapho umsebenzi kaNkulunkulu uphela, abantu abayosala bayohlanzwa futhi bajabulele okunye ukuphila kwabantu okumangalisayo emhlabeni njengoba bengena endaweni ephakeme yobuntu; ngamanye amazwi, bayongena osukwini lokuphumula lwabantu, baphile noNkulunkulu. Ngemva kokuba labo abangeke basale sebesoliwe futhi bahlulelwa, imikhuba yabo ababeyenza iyokwembulwa ngokuphelele; ngemva kwalokho bayobhujiswa njengoSathane, ngeke baphinde bavunyelwe ukuba baphile emhlabeni. Isintu sakusasa ngeke sibe nohlobo olunjena lwabantu; laba bantu abakulungele ukungena ezweni lokuphumula, futhi abakulungele ukungena osukwini lokuphumula uNkulunkulu ayolujabulela nabantu, ngoba kuhloswe ukuthi bajeziswe futhi babi, ababona abantu abalungile. Bake batakulwa, baphinde bahlulelwa futhi basolwa; bake banikela inkonzo kuNkulunkulu umsebenzi, kodwa lapho kufika usuku lokugcina, bayoqothulwa futhi babhujiswe ngenxa yokukhohlakala kwabo nangenxa yokungalaleli kwabo futhi abanakuphinde batakulwe. Ngeke baphinde baphile emhlabeni esikhathini esizayo, futhi ngeke baphile nohlanga lwesintu lwesikhathi esizayo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

17. Iminyaka eyizi-6,000 yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ihlukaniswe ezigabeni ezintathu: iNkathi yoMthetho, iNkathi yoMusa kanye neNkathi yoMbuso. Le zigaba ezintathu zomsebenzi zonke ezokusindiswa kwesintu, okungukuthi, ezokusindiswa kwesintu esonakaliswe kakhulu nguSathane. Ngesikhathi esifanayo, kepha, ezokuthi uNkulunkulu alwe noSathane. Ngakho, njengoba umsebenzi wensindiso uhlukaniswe izigaba ezintathu, ngokunjalo impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu, futhi le zingxenye zombili zomsebenzi kaNkulunkulu zenzeka ngesikhathi esisodwa. Impi noSathane, empeleni, eyokusindiswa kwesintu, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi wokusindiswa kwesintu akuyona into engaqedwa ngempumelelo esigabeni esisodwa, impi noSathane nayo ihlukaniswe ngezigaba nezinkathi, futhi nempi iliwa noSathane ngokuhambisana nezidingo zomuntu kanye nezinga lokonakaliswa kwakhe nguSathane. … Emsebenzini wensindiso yomuntu, izigaba ezintathu zenziwe, okungukuthi impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu ngaphambi kokuhlulwa okuphelele kukaSathane. Kepha iqiniso elingaphakathi lomsebenzi wonkana wempi noSathane imiphumela yawo itholakala ngokuthela umusa phezu komuntu, kanye nokuba umhlabelo wesono womuntu, ukuthethelela izono zomuntu, ukunqoba umuntu, nokuphelelisa umuntu. Empeleni, impi noSathane akukhona ukuhloma izikhali ubhekane noSathane, kodwa insindiso yomuntu, ukusebenza impilo yomuntu, kanye nokushintsha isimo somuntu ukuze afakazele uNkulunkulu. USathane unqotshwa kanje. USathane unqotshwa ngokushintsha isimo esikhohlakele somuntu. Uma uSathane esehluliwe, okungukuthi, uma umuntu esesindisiwe ngokuphelele, uSathane ojabhile uyoboshwa ngokuphelele, futhi ngaleyo ndlela, umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, ingqikithi yensindiso yomuntu impi noSathane, kanti impi noSathane ibonakaliswa esikakhulukazi ensindisweni yomuntu. Isigaba sezinsuku zokugcina, lapho umuntu ezonqotshwa khona, isigaba sokugcina sempi noSathane, kanti futhi umsebenzi wokusindiswa okuphelele komuntu emandleni kaSathane. Incazelo yangaphakathi yokunqotshwa komuntu ukubuya kokusamuntu kukaSathane, umuntu owonakaliswe nguSathane, kuMdali, emuva kokunqotshwa kwakhe, ngalokho uyoshiya uSathane futhi abuyele ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngale ndlela umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, umsebenzi wokunqoba umsebenzi wokugcina empini ebhekene noSathane, kanye nesigaba sokugcina ekuphatheni kukaNkulunkulu ukuze kuhlulwe uSathane. Ngaphandle kwalo msebenzi, ukusindiswa komuntu okuphelele bekungeke kwenzeke neze ekugcineni, ukuhlulwa ngokuphelele kukaSathane nakho bekungeke kwenzeke neze, futhi isintu besingeke neze sikwazi ukungena esiphethweni esimangalisayo, noma ukukhululeka ethonyeni likaSathane. Ngenxa yalokho, umsebenzi wokusindiswa komuntu ngeke uphethwe ngaphambi kukuthi impi noSathane iphethwe, ngoba umnyombo womsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ungenxa yokusindiswa kwesintu. Isintu sasekuqaleni sasisezandleni zikaNkulunkulu, kodwa ngenxa yokulingwa nguSathane nokonakaliswa, umuntu waboshwa nguSathane futhi wawela ezandleni zomubi. Ngakho, uSathane waba yinto okufanele yehlulwe emsebenzini wokuphatha kukaNkulunkulu. Ngoba uSathane wamngena umuntu, nangenxa yokuthi umuntu uwumsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu, uma umuntu ezosindiswa, kufanele ahlwithwe ezandleni zikaSathane, okusho ukuthi umuntu kufanele abuyiswe emva kokuthunjwa nguSathane. Ngalokhu, uSathane kufanele anqotshwe ngezinguquko esimweni somuntu esidala, izinguquko ezibuyisela umqondo wakhe wokuqala, bese ngale Ndlela, umuntu, obethunjiwe, ehlwithwa ezandleni zikaSathane. Uma umuntu ekhululiwe ethonyeni nokuboshwa nguSathane, uSathane uyojabhiswa, umuntu ekugcineni uyobuyiselwa emuva, futhi uSathane uyohlulwa. Futhi ngenxa yokuthi umuntu usekhululiwe ethonyeni elimnyama likaSathane, umuntu uyoba impango yayo yonke lempi, futhi uSathane uyoba umenziwa oyojeziswa uma lempi seyiphelile, emuva kwalokho umsebenzi usuwonkana wokusindiswa komuntu uyobe usuqediwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Elungile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

18. Ukuba senyameni kokuqala kwakungokokuhlenga isintu esonweni ngomzimba wenyama kaJesu, okuwukuthi, wasindisa umuntu esiphambanweni kodwa isimo sokukhohlakala kukaSathane kwasala kumuntu. Ukuba senyameni kwesibili akuseyikho ukusebenza njengomhlatshelo wesono kodwa ukusindisa ngokugcwele labo ababekhululwe esonweni. Lokhu kwenzelwa ukuba labo abathethelelwe bakhululwe ezonweni zabo futhi bahlanzwe ngokuphelele ukuze bathole ukuguquka esimweni, ngalokho bagqashule ethonyeni lobumnyama bukaSathane babuyele phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyongcweliswa ngokugcwele. UNkulunkulu uqale umsebenzi wensindiso eNkathini Yomusa ngemva kokuphela kweNkathi Yomthetho. UNkulunkulu ngeke aphethe umsebenzi Wakhe wokwahlulela nokusola umuntu ngokuvukela bese engena ekuphumuleni zingakafiki izinsuku zokugcina.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule:III. Ngeqiniso Legama LikaNkulunkulu

Okulandelayo:V. Ngabe Umsebenzi WeNkosi UJesu Wokukhulula Ungumsebenzi Wokuphetha Inkathi Ngempela?

Okuqukethwe Okuhlobene