Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Okukhethiweyo Kwamazwi KaNkunkulu USomandla

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

0 Imiphumela Yokufuna

Ayikho imiphumela etholakele.

II. Ngeqiniso Lokuba Sesimweni Somuntu

1. Incazelo yokuba sesimweni somuntu ukuthi uNkulunkulu ubonakala enyameni, futhi ufika ezosebenza phakathi kwesintu esidalwe Nguye esesimweni senyama. Ngakho, ukuze uNkulunkulu athathe isimo somuntu, kumele aqale abe yinyama, inyama enobuntu obujwayelekile; lokhu kuyisidingo esibaluleke kakhulu. Eqinisweni, okuqondiwe ngokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uphila futhi asebenze enyameni, uNkulunkulu engqikithini Yakhe uqobo uthatha umzimba wenyama, uba ngumuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

2. Ukuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu kusho ukuthi uMoya kaNkulunkulu uba yinyama, okuwukuthi, uNkulunkulu uba yinyama; umsebenzi awenza enyameni umsebenzi kaMoya, owenzeka enyameni, oboniswa yinyama. Akekho umuntu ongakwazi ukufeza inkonzo eyenziwa uNkulunkulu osemzimbeni wenyama ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu; okuwukuthi, uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, lobu buntu obujwayelekile—hhayi futhi omunye umuntu—angabonakalisa umsebenzi wobunkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

3. UKristu onobuntu obujwayelekile uyinyama okuyilapho uMoya ubonakala khona, unobuntu obujwayelekile, umqondo kanye nokucabanga komuntu okujwayelekile. “Ukubonakalisa” kusho ukuthi uNkulunkulu uba ngumuntu, uMoya uba yinyama; ukukubeka kucace, kuba yilapho uNkulunkulu uqobo Lwakhe ehlala enyameni enobuntu obujwayelekile, futhi ngayo, eveza umsebenzi Wakhe wobuNkulunkulu—yilokho okushiwo ukubonakala noma ukuthatha isimo somzimba womuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

4. UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi. UKristu akasikho nje ukubonakaliswa kukaNkulunkulu emhlabeni, kodwa futhi uyinyama embethwe uNkulunkulu njengoba ephethe futhi eqedela umsebenzi Wakhe kubantu. Le nyama akusiyo leyo endawo yayo ingathathwa yinoma imuphi umuntu, kodwa yileyo engathwala umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela egculisayo emhlabeni, futhi ibonakalisa isimo sikaNkulunkulu, futhi inika abantu ukuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

5. Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

6. UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

7. Ngoba ungumuntu onobuNkulunkulu, ungaphezu kwabo bonke abantu abadaliwe, ngaphezu kwawo wonke umuntu ongenza umsebenzi kaNkulunkulu. Futhi phakathi kwalabo ababukeka njengaye, phakathi kwabo bonke abanobuntu, Nguye kuphela onguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo Lwakhe—bonke abanye bangabantu abadaliwe. Nakuba bonke benobuntu, abantu abadaliwe akukho okunye abayikho ngaphandle kobuntu, kanti uNkulunkulu osesimweni somuntu Yena uhlukile: Enyameni Yakhe akanabo kuphela ubuntu kodwa okubaluleke nakakhulu unobunkulunkulu. Ubuntu Bakhe buyabonakala ngokubukeka kwangaphandle kwenyama Yakhe nasekuphileni Kwakhe kwansuku zonke kodwa ubuNkulunkulu Bakhe kunzima ukubuqonda. Ngenxa yokuthi ubuNkulunkulu Bakhe buboniswa kuphela enobuntu futhi abunawo amandla angaphezu kwemvelo njengoba abantu bebucabanga, kunzima kakhulu ukuba abantu bakubone. … Njengoba uNkulunkulu eba, ingqikithi Yakhe iyinhlanganisela yobuntu nobunkulunkulu. Le nhlanganisela ibizwa ngokuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe emhlabeni.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

8. Ukuphila Kwakhe esengumuntu nokusebenza kuhlukaniswa izigaba ezimbili. Esokuqala, yimpilo ayiphilayo ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Uphila emndenini ojwayelekile wabantu, ebuntwini obujwayeleke kakhulu impela, elalela imithetho yokuziphatha kanye nemithetho ejwayelekile yokuphila komuntu, enezidingo zomuntu ezijwayelekile (ukudla, okokugqoka, indawo yokuhlala, ukulala), ubuthakathaka bomuntu obujwayelekile kanye nemizwa yomuntu ejwayelekile. Ngamanye amazwi, kulesi sigaba sokuqala uphila impilo engenabo ubunkulunkulu, enobuntu obujwayeleke ngokuphelele, owenza zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile. Isigaba sesibili siwukuphila Kwakhe ngemva kokuqala ukwenza inkonzo Yakhe. Usaphila ebuntwini obujwayelekile enomzimba womuntu ojwayelekile, angawabonisi nakancane amandla angaphezu kwawemvelo. Nokho uphila kuphela ngenxa yenkonzo Yakhe, futhi kulesi sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile bukhona ngokuphelele ukuze kwenzeke umsebenzi ojwayelekile wobuNkulunkulu Bakhe; ngoba ngaleso sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile sebukhule baze bafika ezingeni lokuthi bungakwazi ukwenza inkonzo Yakhe. Ngakho-ke isigaba sesibili sokuphila Kwakhe siwukwenza inkonzo Yakhe esebuntwini obujwayelekile, kungukuphila kwakhe kokubili kobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Isizathu sokuthi, ngesikhathi sesigaba sokuqala sokuphila Kwakhe, uphila ebuntwini obujwayeleke ngokuphelele wukuthi ubuntu Bakhe busuke bungakalingani nomsebenzi wobuNkulunkulu obuphelele, kusuke kungakavuthwa; kuba kuphela ngemuva kokukhula kobuntu Bakhe, sebukwazi ukuthwala inkonzo Yakhe, lapho angaqalisa khona ukwenza inkonzo Yakhe. Njengoba Yena, eyinyama, edinga ukuthi akhule futhi avuthwe, isigaba sokuqala sokuphila Kwakhe siwubuntu obujwayelekile, kanti esigabeni sesibili, ngenxa yokuthi ubuntu Bakhe buyakwazi ukwenza umsebenzi Wakhe nokwenza inkonzo Yakhe, ukuphila kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuphila ngesikhathi senkonzo Yakhe kuyikho kokubili okobuntu nobuNkulunkulu obuphelele. Ukuba kusukela ekuzalweni Kwakhe uNkulunkulu osesimweni somuntu waqala inkonzo Yakhe ngokuzimisela, enza izibonakaliso kanye nezimangaliso ezingaphezu kwamandla emvelo, khona-ke wayengeke abe nengqikithi yomzimba. Ngakho-ke, ubuntu Bakhe bukhona ngenxa yengqikithi yomzimba Wakhe; ngeke kube khona inyama ngaphandle kobuntu, futhi umuntu ongenabo ubuntu akayena umuntu. Ngale ndlela, ubuntu benyama kaNkulunkulu buyingxenye esemqoka yenyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu. Ukuthi “lapho uNkulunkulu eba sesimweni somuntu usuke enobunkulunkulu ngokuphelele, futhi akayena nhlobo umuntu,” kuwukuhlambalaza, ngoba le nkulumo ayikho nhlobo, futhi yephula umgomo wokuba sesimweni somuntu. Ngisho nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe, usaphila ebuNkulunkulwini Bakhe obunomkhakha wangaphandle womuntu lapho enza umsebenzi Wakhe; ukuthi nje ngaleso sikhathi, ubuntu Bakhe bufeza kuphela injongo yokuvumela ubunkulunkulu Bakhe ukuba benze umsebenzi enyameni ejwayelekile. Ngakho umenzi womsebenzi ubunkulunkulu obuhlala ebuntwini Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe, hhayi ubuntu Bakhe obusebenzayo, kepha ubunkulunkulu obufihlwe ngaphakathi ebuntwini Bakhe; umsebenzi Wakhe wenziwa empeleni ngubunkulunkulu Bakhe obuphelele, hhayi ubuntu Bakhe. Kodwa umenzi womsebenzi yinyama Yakhe. Umuntu angathi ungumuntu futhi unguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uba nguNkulunkulu ophila enyameni, ebukeka njengomuntu ngaphandle futhi enengqikithi yobuntu kodwa futhi nengqikithi kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

9. Ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu bukhona ukusekela umsebenzi wobuNkulunkulu ojwayelekile enyameni; ukucabanga Kwakhe kobuntu obujwayelekile kugcina ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nayo yonke imisebenzi Yakhe ayenza esemzimbeni. Umuntu angathi ukucabanga Kwakhe komuntu okujwayelekile kukhona ukuze kusekele umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ukube le nyama ibingenawo umqondo womuntu ojwayelekile, uNkulunkulu ubengeke akwazi ukusebenza esesimweni somuntu, futhi lokho adinga ukukwenza enyameni bekungeke kufezeke. Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni womuntu enomqondo womuntu ojwayelekile, umsebenzi Wakhe awonakaliswa ukucabanga komuntu; wenza umsebenzi ebuntwini obunomqondo ojwayelekile, ngaphansi kombandela wokuthi unobuntu obunomqondo hhayi ngokusebenzisa ukucabanga komuntu okujwayelekile. Kungakhathaleki ukuthi iphakeme kangakanani imicabango yenyama Yakhe, umsebenzi Wakhe awubunikezi ubufakazi bomqondo noma ukucabanga. Ngamanye amazwi, umsebenzi Wakhe awusuki engqondweni yenyama Yakhe kodwa ungukuboniswa ngqo komsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini Bakhe. Umsebenzi Wakhe wonke yinkonzo adinga ukuyifeza futhi akukho nokukodwa kuyo okusuka engqondweni Yakhe. Isibonelo, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokubethelwa kwakungaphumi emqondweni Wakhe wobuntu, kwakungeke kwenziwe yinoma imuphi umuntu onomqondo womuntu. Ngokufanayo, umsebenzi wokunqoba wanamuhla uyinkonzo ekumele yenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa akuwona umsebenzi wentando yomuntu, kungumsebenzi ubunkulunkulu Bakhe okumele buwenze, umsebenzi ongenakwenziwa umuntu osesimweni somuntu. Ngakho uNkulunkulu osesimweni somuntu kumele abe nomqondo womuntu ojwayelekile, abe nobuntu obujwayelekile ngoba kumele enze umsebenzi Wakhe ebuntwini enomqondo ojwayelekile. Lokhu yingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ingqikithi uqobo kaNkulunkulu osesimweni somuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

10. Futhi ngokubonakaliswa kwentando kanye nesimo sikaNkulunkulu, Yena waphinda waveza kubantu uNkulunkulu ongabonakali noma ongathinteki emhlabeni wakwamoya. Lokhu okwabonwa ngabantu kwakunguNkulunkulu uqolo Lwakhe, ethinteka futhi enenyama namathambo. Ngakho iNdodana yomuntu esesimweni somuntu yenza izinto ezifana nobuyena Bakhe, ukuma Kwakhe, isithombe Sakhe, isimo Sakhe kanye nalokho Yena anakho nayikho, yaqina futhi yenziwa isimo somuntu. Noma ngabe ukubonakala kwengaphandle kweNdodana yomuntu kwaba nemikhawulo mayelana nomfanekiso kaNkulunkulu, ingqikithi Yakhe kanye nalokhu anakho nayikho kwakwazi ngokupheleleyo ukumela ubunjalo nokuma—kwakunokwahlukana ngokwesimo sokubonakaliswa. Noma ngabe ubuntu beNdodana yomuntu noma ubunkulunkulu Bayo, ngeke siphike ukuthi Yona yamela ubunjalo nokuma kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, nokho, uNkulunkulu wasebenza ngenyama, wakhuluma njengokwenyama, futhi wama phambi kwesintu ngobunjalo nangokuma kweNdodana yomuntu, futhi lokhu kwanika abantu ithuba lokuhlangana nokuzizwela amazwi eqiniso kaNkulunkulu phakathi kwesintu. Yaphinda yavumela abantu ukuba babe nokuqonda ubunkulunkulu Bakhe kanye nobukhulu Bakhe phakathi kokuzithoba, kanye nokuzuza ukuqonda kwangaphambili kanye nencazelo yangaphambili yeqiniso kanye noqobo lukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

11. Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni uyafana ncamashi nabantu, wafunda ulwazi lwabantu futhi wakhuluma ulimi lwabantu, futhi kwesinye isikhathi uveza imibono Yakhe ngezindlela zesintu nangemisho, ngendlela abona ngayo abantu, ingqikithi yezinto, nange ndlela abantu abakhohlakele ababona ngayo isintu kanye nobunjalo bezinto akufani. Indlela abuka ngayo kanye nokuphakama kwalapho emi khona kuyinto angenakufinyelela kuyo umuntu okhohlakele. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu uyiqiniso, inyama ayigqokile inobunjalo bukaNkulunkulu, futhi imicabango Yakhe kanye nalokho okuvezwa ubuntu Bakhe, nakho kuyiqiniso. Kubantu abakhohlakele, lokhu akukhuluma esenyameni kuwukuhlinzekwa kweqiniso kanye nokuphila. Lokhu kuhlinzekwa akusikhona okomuntu oyedwa, kodwa okwesintu sonke. … Noma ngabe ujwayeleke kangakanani, noma uvame kangakanani, noma uphansi kangakanani uNkulunkulu osemzimbeni, ngisho noma bambukela phansi kangakanani abantu, imicabango Yakhe, nesimo sengqondo Yakhe ngesintu, kuyizinto umuntu angeke aze abe nazo, futhi akekho umuntu ongakulingisa. Uyohlala njalo ebheka isintu ngobukhona kanye nomqondo kaNkulunkulu, akasoze abona umuntu ngokubuka kwezinga lomuntu ojwayelekile nje, futhi nange ndlela yomuntu okhohlakele. Uma abantu bebheka isintu, babuka ngokubona kwabantu, futhi basebenzisa izinto ezifana nolwazi lwabantu kanye nemigomo yabantu kanye nabakufundile njengesilinganiso. Lokhu kungaphakathi kwesilinganiso salokho abantu abangakubona ngamehlo abo; kungaphakathi kwesilinganiso esingafezwa umuntu okhohlakeleyo. Uma uNkulunkulu ebheka isintu, ubuka ngokubona kobunkulunkulu, futhi usebenzisa ingqikithi yakhe kanye nalokhu anakho nayikho njengesilinganiso. Lesi silinganiso simbandakanya izinto ezingabonwa ngabantu, yilapho uNkulunkulu osemzimbeni kanye nabantu abakhohlakele bephambana kakhulu. Lo mehluko wenziwa ubunjalo babantu nobunjalo bukaNkulunkulu, yilobu bunjalo obenza ukubona kwabo nokuma kwabo kanye nangendlela nokuphakama ababona ngakho izinto.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

12. Umzimba owembethwe uMoya kaNkulunkulu umzimba kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu uphakeme; unguSomandla, ungcwele, futhi ulungile. Ngokufanayo, umzimba Wakhe nawo uphakeme, uSomandla, ungcwele, futhi ulungile. Umzimba onjalo kuphela okwazi ukwenza okulungile nokuzuzisa isintu, lokho okungcwele, okukhazimulayo nokunamandla, futhi awukwazi ukwenza noma yini emelene neqiniso noma izimiso zokulunga nobulungisa, ingasaphathwa eyokwenza noma yini ekhaphela uMoya kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

13. Ngokuthi uNkulunkulu uba yinyama, uyabazi ingqikithi Bakhe enyameni Yakhe, ngendlela yokuthi inyama Yakhe yanele ukwenza umsebenzi Wakhe. Ngalokho-ke, wonke umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu uthathelwa indawo umsebenzi kaKristu ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu, kanti futhi umongo wawo wonke umsebenzi ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu ungumsebenzi kaKristu. Awukwazi ukuhlanganyelwa nomsebenzi wangenye inkathi. Futhi njengoba uNkulunkulu eba yinyama, usebenza ngokuba sesimweni somuntu; njengoba eza esenyameni, umsebenzi okumele awenze uwuphelelisa esenyameni. Noma ngabe uMoya kaNkulunkulu noma uKristu, konke kunguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi wenza umsebenzi okumele awenze enze nenkonzo okumele ayenze.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

14. Ukusindisa abantu kukaNkulunkulu akwenziwa ngokuqondile ngoMoya njengoMoya, ngoba uMoya Wakhe ngeke uthintwe noma ubonwe umuntu, futhi umuntu akanakukwazi ukuza kuwo. Uma ezamile ukusindisa umuntu ngokuqondile ngendlela yoMoya, umuntu uyokuthola kanjalo-ke ukusindisa Kwakhe. Ukube futhi akukhona ukuthi uNkulunkulu ube sesimweni somuntu, umuntu ubeyokwazi ukuthola insindiso. Ngoba umuntu angeke nangayiphi indlela asondele Kuye, kungafana nokusondela efwini likaJehova. Kungenzeka kuphela ngokuba abe umuntu odaliwe, okuwukuthi, afake izwi Lakhe enyameni azoba yiyo, Yena angawenza umsebenzi wezwi kulabo abamlandelayo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu engazizwela yena mathupha izwi Lakhe, alibone futhi alamukele, ngakho ngalo uyosindiswa. Ukube uNkulunkulu akabanga yinyama, akekho umuntu obeyothola insindiso enkulu kangako futhi akekho obeyosindiswa. Ukube uMoya kaNkulunkulu usebenze kumuntu ngokuqondile, umuntu ubeyothatheka abe yisithunjwa sikaSathane ngoba akakwazi ukuzihlanganisa noNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

15. Uma uNkulunkulu engabi yinyama, uhlala enguMoya ongabonakali futhi ongathinteki kumuntu. Umuntu uyisidalwa esiyinyama futhi umuntu noNkulunkulu bangabasemihlabeni emibili engafani nengafani ngemvelo. UMoya kaNkulunkulu awuhambisani nomuntu wenyama futhi akukho ukuhlobana okungakheka phakathi kwabo; ngaphezu kwalokho, umuntu akakwazi ukuba umoya. Ngaleyo ndlela, uMoya kaNkulunkulu kumele ube ngesinye sezidalwa futhi wenze umsebenzi Wakhe wokuqala. UNkulunkulu angenyukela endaweni ephakeme aphinde azithobe abe umuntu oyisidalwa, enze umsebenzi futhi aphile nabantu, kodwa umuntu akakwazi ukwenyukela ezindaweni eziphezulu abe ngumoya futhi kukancane kakhulu ukuba umuntu ehlele phansi. Ngakho, uNkulunkulu kumele abe yinyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Njengokuba senyameni kokuqala, yinyama kaNkulunkulu osenyameni kuphela eyayingahlenga isintu ngokubethelwa Kwakhe, kuyilapho kwakungeke kwenzeke ukuba uMoya kaNkulunkulu ubethelwe njengomnikelo wesono somuntu. UNkulunkulu angaba yinyama ukuze asebenze njengomnikelo wesono soumuntu kodwa umuntu akakwazanga ukunyukela ezulwini ukuyozilandela umnikelo wesono uNkulunkulu ayewulungiselele bona. Ngaleyo ndlela, uNkulunkulu kumele ahambe kulezi zindawo zombili, ezulwini nasemhlabeni, kunokuba enze ukuba abantu banyukele ezulwini ukuze bathathe insindiso, ngoba umuntu uwile futhi akakwazi ukuya ezulwini, futhi kukancane kakhulu ukuba athole umhlatshelo wesono. Kanjalo, kwakufanele ukuba uJesu eze phakathi kwabantu futhi azenzele mathupha umsebenzi owawungeke ufezwe ngabantu. Njalo lapho uNkulunkulu eba yinyama, kwakusuke kufanele ngempela ukuba enze kanjalo. Ukube esinye salezi zigaba sasingenziwa nguMoya kaNkulunkulu ngokuqondile, wayengeke abhekane nokwehliswa isithunzi ngokuba senyameni.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

16. Kulabo abazosindiswa, umsebenzi kaMoya uphansi kakhulu kunowenyama: Umsebenzi kaMoya ukwazi ukuhlanganisa indawo yonke, zonke izindaba, imifula, amachibi, nezilwandle, kodwa umsebenzi wenyama uthela kahle kuwo wonke umuntu othintane nomuntu wenyama. Okungaphezu kwalokho, inyama kaNkulunkulu esesimweni esithintekayo umuntu angayiqonda futhi ayethembe kangcono, futhi ingajulisa ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu, futhi ingashiya kumuntu ukuqonda okubanzi ngezenzo zangempela zikaNkulunkulu. Umsebenzi kaMoya umbozwe emfihlakalweni, kunzima ngomuntu ofayo ukuthi awuqonde, futhi kunzima nakakhulu kubo ukuthi bawubone, ngakho babambelela emicabangweni engasho lutho. Nokho, umsebenzi wenyama ujwayelekile, futhi usekelwe ezintweni ezingokoqobo, futhi uqukethe ukuhlakanipha okucebile, uyiqiniso elingabonakala ngisho nangeso lenyama lomuntu; umuntu angabubona ngokoqobo ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, asikho isidingo sokuthi asebenzise kakhulu iso lakhe lengqondo. Lokhu ukunemba nokubaluleka kwangempela komsebenzi kaNkulunkulu enyameni. UMoya ungenza kuphela izinto ezingabonakali ngeso lomuntu futhi okunzima kuye ukuthi azibone ngeso lengqondo, isibonelo, ukukhanyiselwa uMoya, ukunyakaza kukaMoya, ukuqondiswa uMoya, kodwa ngokomuntu onengqondo, lokho akunikezi incazelo ecacile. Kuhlinzeka kuphela incazelo enyakazayo, noma ebanzi, futhi ngeke kukhiphe imiyalelo ngamazwi. Nokho, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uhluke kakhulu: Unokuqondisa okucacile kwamazwi, unentando ecacile, futhi unemigomo ecacile efunakalayo. Ngakho akudingeki ukuthi umuntu acinge, noma asebenzise iso lakhe lengqondo noma aqagele. Lokhu ukukhanyiswa komsebenzi enyameni, nomehluko wakho omkhulu emsebenzini kaMoya. Umsebenzi kaMoya ulungele isilinganiso esithile kuphela, ngeke uthathe isikhundla somsebenzi wenyama. Umsebenzi wenyama unika umuntu imigomo enemba kakhulu futhi edingekayo nolwazi lwangempela, olunosizo kakhulu kunomsebenzi kaMoya. Umsebenzi oyigugu kakhulu kumuntu owonakele yilona onamazwi anembayo, imigomo ecacile, futhi ongabonakala noma uthinteke. Umsebenzi onengqondo kuphela nokuqondisa okufika ngesikhathi okufaneleka nokuthandwa ngumuntu, okudingwa abantu ovivinyweni lwabo, futhi umsebenzi kuphela wangempela ongasindisa umuntu ekukhohlakaleni nasesimweni sakhe esiphansi. Lokhu kungafezwa kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu; uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongasindisa umuntu enkohlakalweni nasesimweni sakhe esiphansi sakudala.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Sidinga Kakhulu Ukusindiswa NguNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

17. Ngakho, ukuba umsebenzi wawenziwa nguMoya—ukuba uNkulunkulu akabanga yinyama, futhi kunalokho uMoya wakhuluma ngqo ngokuduma kwezulu ukuze umuntu angabi nandlela yokuba nokuthintana Naye, ingabe wayengakwazi umuntu ukwazi isimo Sakhe? Ukuba kwakuwuMoya wodwa owawenza umsebenzi, umuntu wayengeke abe nendlela yokufika ekwazini isimo sikaNkulunkulu. Abantu bakwazi kuphela ukubona isimo sikaNkulunkulu ngamehlo abo lapho eba yinyama, lapho izwi livela lisenyameni, nalapho eveza sonke isimo Sakhe ngenyama. UNkulunkulu uhlala ngokoqobo nangempela phakathi kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

18. Injongo yokufika kukaNkulunkulu enyameni ikakhulukazi, ukwenza ukuba abantu babone imisebenzi yangempela kaNkulunkulu, ukunikeza isiqu uMoya ongenasimo enyameni, kanye nokuvumela abantu ukuba bambone futhi bamthinte. Ngale ndlela, labo abapheleliswe Nguye bazophila ubuyena, bazozuzwa Nguye, futhi babe ngabenhliziyo Yakhe. Ukuba uNkulunkulu wayekhulume ezulwini kuphela, futhi wangeza ngempela emhlabeni, abantu bebezolokhu bengakwazi ukumazi uNkulunkulu, bebezokwazi kuphela ukushumayela imisebenzi kaNkulunkulu besebenzisa okucatshangiwe okungenalutho, futhi bebengeke babe namazwi kaNkulunkulu njengeqiniso. Injongo kaNkulunkulu ngokuza emhlabeni ukwenza njengesibonelo kanye nesifanekiso salabo abazozuzwa uNkulunkulu; kungale ndlela kuphela lapho abantu bengazi khona uNkulunkulu ngempela, futhi bamthinte uNkulunkulu, futhi bambone, kulapho kuphela bengakwazi ukuzuzwa ngeqiniso uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

19. Yilapho kuphela uMoya kaNkulunkulu wehla uba yinyama, uba yisidalwa ngaphandle esibukeka njengomuntu, lapho umuntu angakwazi ukuqonda intando Yakhe futhi azuzwe Nguye. UNkulunkulu ukhuluma aphinde asebenze enyameni, ajabule nabanye, adabuke futhi abhekane nezinsizi zomuntu, aphile emhlabeni ofanayo nalo umuntu aphila kuwo, avikele umuntu, amqondise, kulokhu uhlanza umuntu, emvumela ukuba athole insindiso Yakhe kanye nesibusiso. Uma umuntu esezithole zonke lezi zinto, uyiqonda nakangcono intando kaNkulunkulu, futhi yilapho kuphela angaba khona umngani kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela okungokoqobo. Uma uNkulunkulu engaqondakali futhi engabonakali kumuntu, umuntu angaba kanjani umngani Wakhe? Ingabe lena akuyona imfundiso engenalutho?

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

20. Ngoba lowo owahlulelwayo ngumuntu, umuntu wenyama owonakalisiwe, hhayi umoya kaSathane owahlulelwa ngokuqondile, umsebenzi wokwahlulela awenziwa ezweni likaMoya kodwa phakathi kwabantu. Akekho ofaneleka ukwedlula uNkulunkulu osesimweni somuntu ukwenza umsebenzi wokwahlulela inyama yomuntu ekhohlakele. Ukuba ukwahlulela kwakwenziwa ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu, ngabe-ke konke kulungile. Ngaphezu kwalokho, lowo msebenzi ubuyobe ulukhuni ukuthi umuntu awemukele, ngoba uMoya awukwazi ukubhekana ubuso nobuso nomuntu, futhi ngenxa yalokhu, imiphumela ngeke isheshe ivele, futhi umuntu ngeke akwazi ukubona ukungacasuleki kwesimo sikaNkulunkulu ngokucacile. USathane anganqotshwa ngokuphelele kuphela uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ahlulela ukonakala kwesintu. … Ukuba lo msebenzi wawenziwa uMoya kaNkunkulu, bekungeke kube ukunqoba phezu kukaSathane. UMoya ungaphezulu kakhulu kwezidalwa ezifayo, futhi uMoya kaNkulunkulu ngendalo ungcwele, uyayinqoba inyama. Ukuba uMoya wenza lo msebenzi ngokuqondile, ubengeke akwazi ukwahlulela konke ukungalaleli komuntu, futhi ubengeke akwazi ukwambula konke ukungalungi komuntu. Ngoba umsebenzi wokwahlulela wenziwa futhi ngemicabango yomuntu ngoNkulunkulu, futhi umuntu akaze abe nemicabango yoMoya, futhi uMoya akakwazi kangcono ukwambula ukungalungi komuntu kube lukhuni ngokwengeziwe ukuveza kangcono ukungalungi okunjalo. UNkulunkulu osesimweni somuntu uyisitha sabo bonke labo abangamazi. Ekwahluleleni imicabango yabantu nalabo abamelene Naye, uveza konke ukungalaleli kwesintu. Imiphumela yomsebenzi Wakhe enyameni ibonakala ngokucacile kuneyomsebenzi kaMoya. Ngakho ukwahlulelwa kwaso sonke isintu akwenziwa uMoya ngokuqondile, kodwa kuwumsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu osenyameni angabonwa noma athintwe umuntu, futhi angamnqoba ngokuphelele umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Sidinga Kakhulu Ukusindiswa NguNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

21. Uma uMoya kaNkulunkulu wawukhuluma kubantu, bonke babeyozinikela ngokugcwele ezwini, baguqe phansi ngaphandle kwamazwi esambulo, njengoba kwenza uPawulu lapho ewela phansi ngenxa yokukhanya endleleni eya eDamaseku. Ukube uNkulunkulu waqhubeka wasebenza ngale ndlela, umuntu wayengeke akwazi ukubona ukonakala kwakhe ngokwahlulela kwezwi futhi athole insindiso. Kungokuba senyameni kuphela lapho engahambisa khona mathupha amazwi Akhe kuzo zonke izindlebe, ukuze bonke abanezindlebe bezwe amazwi futhi bamukele umsebenzi Wakhe wokwahlulela ngezwi. Inje kuphela imiphumela engatholakala ngezwi Lakhe, kunokuvela koMoya owesabise umuntu umphoqe ukuba azinikele. Kungenzeka kuphela ngomsebenzi owenziwayo osezingeni eliphezulu ukuba isimo esidala somuntu, esifihleke ngaphakathi kuye iminyaka eminingi, sivezwe obala ukuze abantu basibone futhi basiguqule. Lona umsebenzi wangokoqobo owenziwa uNkulunkulu osenyameni; ukhuluma futhi ethule ukwahlulela ngendlela ephathekayo ukuze kuzuzwe imiphumela yokwahlulela kumuntu ngezwi. Leli yigunya likaNkulunkulu osenyameni nokubaluleka kokuba kwakhe senyameni. Kwenziwa ukuze igunya likaNkulunkulu osenyameni, imiphumela etholakale ngomsebenzi wezwi, nokuthi uMoya oze usenyameni kwaziwe; ubonisa igunya Lakhe ngokwahlulela umuntu ngezwi. Nakuba inyama Yakhe iwukubonakala kwangaphandle komuntu ojwayelekile, iwumphumela amazwi Akhe awutholayo obonisa umuntu ukuthi ugcwele igunya, ukuthi unguNkulunkulu uqobo nokuthi amazwi Akhe awukubonakaliswa kukaNkulunkulu uqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

22. Kepha kukhona iqiniso elilodwa ongase ungalazi: Isimo senkohlakalo nesokuhlubuka kanye nokuphikisa komuntu kugqama ngenkathi ebona uKristu, kanti ukuhlubuka nokuphikisana okuvela kuleso sikhathi yikho kanye okuphelele kunokunye. Yingenxa yokuba uKristu uyiNdodana yomuntu futhi unobuntu obejwayelekile okwenza umuntu angamtusi futhi angamhloniphi. Yingenxa yokuthi uNkulunkulu uphila enyameni okwenza ukuhlubuka komuntu kuvele ekukhanyeni ngokuphelele nangokugqamile. Ngakho ngithi ukufika kukaKristu kuveze obala konke ukuhlubuka kwesintu kwaveza imvelo yesintu obala. Lokhu kubizwa ngokuthi “ukulutha ingwe uyehlise entabeni” kanye “nokulutha impisi ukuba iphume emgedeni.”

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

23. Uba yinyama ngoba inyama ingakwazi nayo ukuba negunya futhi uyakwazi ukwenza umsebenzi kubantu ngendlela engokoqobo, ebonakalayo nethintekayo kumuntu. Umsebenzi onjalo uba ngokoqobo kakhulu ngokwengeziwe kunoma yimuphi umsebenzi owenziwa ngokuqondile nguMoya kaNkulunkulu onegunya lonke futhi imiphumela yawo nayo isobala. Lokhu kungoba inyama Yakhe ingakhuluma futhi yenze umsebenzi ngendlela engokoqobo; isakhiwo sangaphandle senyama Yakhe asinagunya futhi umuntu angafinyelela kuso. Ingqikithi Yakhe inegunya kodwa igunya Lakhe alibonakali kumuntu. Lapho ekhuluma nalapho esebenza, umuntu akakwazi ukubona ukuthi kukhona igunya Lakhe; lokhu kuba kuhle nakakhulu emsebenzini Wakhe ongokoqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

24. UNkulunkulu waba inyama ngenxa yokuthi ihloso yomsebenzi wakhe akuwona umoya kaSathane, noma into engaphili, kodwa umuntu, oyinyama owonakaliswe uSathane. Lokho kungenxa kanye yokuthi inyama yomuntu yonakalisiwe ukuthi uNkulunkulu wenze umuntu wenyama injongo yomsebenzi Wakhe; ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi umuntu uyinjongo yenkohlakalo, wenze umuntu waba iyona kuphela injongo yomsebenzi Wakhe kuzo zonke izigaba zomsebenzi Wakhe wensindiso. Umuntu uyisidalwa esifayo, uyinyama negazi, futhi uNkulunkulu Nguye Yedwa ongasindisa umuntu. Ngale ndlela, uNkulunkulu kumele abe inyama enakho konke umuntu anakho ukuze umsebenzi Wakhe, ukuze futhi umsebenzi Wakhe ube nemithelela engcono. UNkulunkulu kumele abe inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe, ngenxa kanye yokuthi umuntu uyinyama, futhi akakwazi ukunqoba isono nokuzehlukanisa nenyama.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Sidinga Kakhulu Ukusindiswa NguNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

25. Umuntu wonakaliswe uSathane, futhi uyisidalwa sikaNkulunkulu esiphakeme kunezinye, ngakho umuntu udinga ukusindiswa uNkulunkulu. Injongo yokusindisa kukaNkulunkulu ngumuntu, hhayi uSathane, futhi into okufanele isindiswe inyama yomuntu kanye nomphefumulo wakhe, hhayi udeveli. USathane uyena uNkulunkulu ahlose ukumbhubhisa, umuntu uyinjongo yensindiso kaNkulunkulu, futhi inyama yomuntu yonakaliswe uSathane, ngakho okusindiswa kuqala kufanele kube inyama yomuntu. Inyama yomuntu yonakaliswe kakhulu, futhi ibe yinto emelene noNkulunkulu, emelana ngisho ngokusobala noNkulunkulu futhi ize iphike ubukhona bukaNkulunkulu. Le nyama eyonakele ayinakulawuleka, futhi ayikho into okunzima ukubhekana nayo noma ukuyiguqula ukwedlula isimo esonakele senyama. USathane ufike aphazamise inyama yomuntu, futhi asebenzise inyama yomuntu ukuze aphazamise umsebenzi kaNkulunkulu kanye nohlelo lukaNkulunkulu, ngaleyo ndlela umuntu agcine esephenduke uSathane, kanye nesitha sikaNkulunkulu. Ukuze umuntu asindiswe, kumele aqale anqotshwe. Kungenxa yalokhu ukuthi uNkulunkulu amukele inselelo bese eba senyameni ukuze enze umsebenzi ahlose ukuwenza futhi alwe impi noSathane. Injongo Yakhe ukusindiswa kwesintu, esonakalisiwe, nokunqotshwa nokubhjiswa kukaSathane, ohlubuka Kuye. Unqoba uSathane ngomsebenzi Wakhe wokunqoba abantu, aphinde asindise isintu esonakele ngaso leso sikhathi. Ngalokho, uNkulunkulu usombulula izinkinga ezimbili ngesikhathi esisodwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Sidinga Kakhulu Ukusindiswa NguNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

26. Inyama yomuntu yonakaliswe uSathane, kanti-ke ayiboni, futhi ilimele kakhulu. Isizathu esibaluleke kakhulu esenza ukuthi uNkulunkulu asebenze enyameni ukuthi inhloso Yakhe ukusindisa abantu, abayinyama, nokuthi uSathane naye usebenzisa abantu ekuphazamiseni umsebenzi kaNkulunkulu. Impi noSathane empeleni ingumsebenzi wokunqoba umuntu, futhi ngesikhathi esifanayo, umuntu uyinto uNkulunkulu afuna ukuyisindisa. Ngale ndlela, umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ubalulekile. USathane wonakalise inyama yomuntu, umuntu waphenduka umfuziselo kaSathane, futhi waba yinto uNkulunkulu okufanele ayehlule. Ngale ndlela, umsebenzi wokulwa noSathane nokusindisa isintu wenzeka emhlabeni, futhi uNkulunkulu kumele eze emhlabeni ukuze asindise isintu. Lona umsebenzi ongokoqobo kakhulu. Lapho uNkulunkulu esebenza enyameni, usuke empeleni elwa noSathane enyameni. Lapho esebenza enyameni, usuke enza umsebenzi Wakhe endaweni yomoya, enza wonke umsebenzi Wakhe endaweni yomoya ube owangempela emhlabeni. Onqotshwayo umuntu, ongamlaleli, ohlulwa umfuziselo kaSathane (eqinisweni nalona kusewumuntu), osebutheni Naye, futhi lowo oyosindiswa ekugcineni kusewumuntu. Ngale ndlela, kubaluleke kakhulu Kuye ukuba abe umuntu onengxenye engaphandle yesidalwa, ukuze alwe impi yangempela noSathane, anqobe umuntu, ongamlaleli, futhi onengxenye engaphandle enjengaye, asindise abantu oselinyazwe uSathane. Isitha sakhe umuntu, into alwela ukuyinqoba umuntu, owadalwa Nguye. Ngakho kumele abe umuntu, futhi ngale ndlela, umsebenzi Wakhe uba lula. Uyakwazi ukwehlula uSathane, anqobe isintu, ngaphezu kwalokho, ukwazi ukusindisa isintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Sidinga Kakhulu Ukusindiswa NguNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

27. Ohlangothini olulodwa, ukuthatha kukaNkulunkulu isimo somuntu ezinsukwini zokugcina kususa indawo ephethwe nguNkulunkulu ongacacile emicabangweni yabantu, ukuze ungabe usaba khona umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Ngamazwi nomsebenzi wakhe uqobo, ukuhamba Kwakhe kuzo zonke izindawo nomsebenzi ongokoqobo nojwayeleke ngokumangazayo awenza phakathi kwabantu, wenza ukuthi umuntu azi ubunjalo bukaNkulunkulu, futhi asuse indawo kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Kolunye uhlangothi, uNkulunkulu usebenzisa amazwi akhulunywa inyama Yakhe ukwenza umuntu aphelele, nokufeza zonke izinto. Lona umsebenzi uNkulunkulu azowufeza ezinsukwini zokugcina.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

28. Kubo bonke labo abaphila enyameni, ukuguqula isimo sabo kudinga ukuthi babe nemigomo yokulandelwa, futhi ukwazi uNkulunkulu kudinga ukuba ukufakaza ngezenzo Zakhe zangempela nobuso Bakhe bangempela. Kokubili lokhu kungafezwa ngenyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, futhi kokubili kungafezwa kuphela ngenyama evamile nengokoqobo. Yingakho ukuba sesimweni somuntu kudingekile, futhi yikho okwenza adingwe yiso sonke isintu esikhohlakele. Njengoba abantu kudingeka ukuthi bazi uNkulunkulu, izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali futhi abanamandla angaphezu kwemvelo kumele zixoshwe ezinhliziyweni zabo, futhi njengoba kudingeka ukuba balahle isimo sabo esikhohlakele, kumele bazi kuqala isimo sabo esikhohlakele. Uma umuntu enza kuphela umsebenzi ngenjongo yokuxosha izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali ezinhliziyweni zabantu, ngeke-ke aphumele ukufeza umphumela ocacile. Izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali abasezinhliziyweni zabantu azinakwembulwa, zisuswe noma zixoshwe ngokuphelele ngamazwi kuphela. Ngokwenza kanjalo, ekugcineni kuyoba yinto engenakwenzeka ukukhipha lezi zinto ezijulile kubantu. UNkulunkulu ongokoqobo kuphela nesithombe sangempela sikaNkulunkulu okungangena esikhundleni salezi zinto ezingaqondakali nezinamandla angaphezu kwavamile ukwenza abantu ukuba bamazi kancane kancane, futhi lokhu kungafezwa ngale ndlela kuphela. Umuntu uyabona ukuthi uNkulunkulu ayemfuna ngezinye izikhathi ezedlule akaqondakali futhi unamandla angaphezu kwavamile. Into engazuza lokhu akukhona ukuhola okuqondile kukaMoya, ingasaphathwa eyezimfundiso zomuntu, kodwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. Imicabango yomuntu isala ngemuva lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu esenza umsebenzi Wakhe, ngoba ukuvama nokuba ngokoqobo kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kungqubuzana nonkulunkulu abangaqondakali nabanamandla angaphezu kwavamile abasezingqondweni zabantu. Umcabango oyiwona womuntu ungembulwa kuphela ngokuthi uqhathaniswe noNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngaphandle kokumqhathanisa noNkulunkulu osesimweni somuntu, imicabango yomuntu ayisobe yembulwa; ngamanye amazwi, ngaphandle kokuqhathanisa, ukuba ngokoqobo kwezinto ezingaqondakali akusobe kwembulwa. Akekho okwazi ukusebenzisa amazwi ukuze enze lo msebenzi, futhi akekho okwazi ukucacisa lo msebenzi esebenzisa amazwi. NguNkulunkulu kuphela ongenza umsebenzi Wakhe, futhi akekho omunye ongenza lo msebenzi esikhundleni Sakhe. Akunandaba ukuthi ulimi olukhulunywa umuntu lucebe kangakanani, ngeke akwazi ukuveza ukuba ngokoqobo nokuvama kukaNkulunkulu. Umuntu uNkulunkulu angamazi kangcono, futhi ambone ngokucacile, uma uNkulunkulu esebenza Yena mathupha phakathi kwabantu futhi aveze indlela abukeka ngayo nesiqu Sakhe. Lokhu ngeke kufezwe yinoma imuphi umuntu wenyama. Empeleni, uMoya kaNkulunkulu nawo awukwazi ukufeza lokhu. UNkulunkulu angasindisa isintu esonakele ethonyeni likaSathane, kodwa lo msebenzi ngeke ufeze ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu; kunalokho ungafezwa kuphela inyama enoMoya kaNkulunkulu, inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Le nyama ingumuntu futhi inguNkulunkulu, inyama enobuntu obuvamile futhi uNkulunkulu ayinike wonke amandla aphezulu. Ngakho, ngisho noma le nyama ingewona uMoya kaNkulunkulu, futhi yehluka kakhulu eMoyeni, isenguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo osindisa isintu, owuMoya futhi oyinyama. Akunandaba ukuthi ubizwa ngani, ekugcineni usenguNkulunkulu osindisa isintu. Ngoba uMoya kaNkulunkulu awubonakali enyameni, futhi umsebenzi wenyama uphinde ube umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu; umehluko kumane kube ukuthi lo msebenzi awenziwa kusetshenziswa isiqu sikaMoya, kodwa kusuke kusetshenziswa isiqu senyama. Umsebenzi odinga ukwenziwa uMoya ngokuqondile awumdingi uNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi umsebenzi owenziwe inyama ngeke uqondiswe uMoya, kodwa ungenziwa kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu. Yilokhu okudingekayo kulo msebenzi, futhi nokudingwa yisintu esikhohlakele.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Sidinga Kakhulu Ukusindiswa NguNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

29. Into engcono kakhulu ngomsebenzi Wakhe enyameni ukuthi angashiya amazwi anembayo nentando Yakhe ecacile esintwini, kulabo abamlalelayo, ukuze ngemva kwalokho abalandeli Bakhe badlulise ngokunembayo wonke umsebenzi Wakhe wenyama nentando Yakhe kuso sonke isintu kulabo abayemukelayo le ndlela. Umsebenzi kaNkulunkulu wasenyameni kuphela phakathi kwabantu ofeza iqiniso lobukhona nokuhlala phakathi kwabantu kukaNkulunkulu. Yilo msebenzi kuphela ogcwalisa isifiso somuntu sokubona ubuso bukaNkulunkulu, ofakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu, futhi uzwe izwi loqobo likaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu uqeda inkathi lapho isintu sabona kuphela umhlane kaJehova, bese uqeda nenkolo yesintu kuNkulunkulu ongaqondakali. Ikakhulu, umsebenzi kaNkulunkulu wokugcina osesimweni somuntu uletha sonke isintu enkathini enokwangempela, enobuqobo, futhi ejabulisayo. Akagcini nje ngokuphothula inkathi yomthetho nemfundiso; okubaluleke nakakhulu, wembula esintwini uNkulunkulu ongowempela, ojwayelekile, olungile futhi ongcwele ovula umsebenzi wohlelo lokuphatha, aveze izimfihlakalo nesiphetho sesintu, owadala isintu futhi oqeda umsebenzi wokuphatha futhi obezifihlile izinkulungwane zeminyaka. Uletha inkathi yezinto ezingaqondakali ekupheleni, uphothula inkathi isintu esifisa ngayo ukubona ubuso bukaNkulunkulu kodwa singakwazi, uqeda inkathi isintu esikhonza ngayo uSathane, futhi aholele sonke isintu enkathini entsha. Konke lokhu kuwumphumela womsebenzi kaNkulunkulu enyameni esikhundleni sikaMoya kaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu esebenza enyameni Yakhe, labo abamlandelayo abasagcini nje ngokufuna ngemva kwalezo zinto eziyimfihlakalo nezingaqondakali, futhi bayayeka ukuqagela intando kaNkulunkulu ongaqondakali. Lapho uNkulunkulu esakaza umsebenzi Wakhe esenyameni, labo abamlandelayo kufanele badlulisele umsebenzi awenze enyameni kuzo zonke izinkolo namahlelo, futhi bazokhuluma wonke amazwi Akhe ezindlebeni zaso sonke isintu. Konke okulalelwe yilabo abezwe ivangeli Lakhe kufanele kube amaqiniso omsebenzi Wakhe, kufanele kube yizinto umuntu azibonile futhi wazizwela zona, kufanele kube amaqiniso hhayi inzwabethi. La maqiniso awubufakazi asabalalisa ngabo umsebenzi Wakhe, futhi angamathuluzi awasebenzisayo ekusakazeni umsebenzi. Ngaphandle kokuba khona kwamaqiniso, ivangeli Lakhe lalingeke lisabalale kuwo wonke amazwe nakuzo zonke izindawo; wayengeke akwazi ukunqoba indawo yonke, wayeyogcina ngokukucabanga engqondweni. Umuntu akakwazi ukuthinta umoya futhi akawuboni, futhi umsebenzi wenyama awukwazi ukushiya ubufakazi noma amaqiniso ngomsebenzi kaNkulunkulu kumuntu. Umuntu akasoze abone ubuso bangempela bukaNkulunkulu, futhi uyohlala ekholwa kuNkulunkulu ongaqondakali ongekho. Umuntu akasoze abone ubuso bangempela bukaNkulunkulu, futhi ngeke ezwe amazwi uNkulunkulu awakhulume mathupha. Imicabango yomuntu, vele, iyize, ayinakungena esikhundleni sobuso bukaNkulunkulu bangempela; isimo sikaNkulunkulu semvelo, nomsebenzi Wakhe uqobo ngeke umelwe umuntu. UNkulunkulu ongabonakali osezulwini nomsebenzi Wakhe kungalethwa emhlabeni uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ozenzela mathupha umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Lena indlela enhle kakhulu uNkulunkulu avela ngayo kubantu, abantu abambona ngayo uNkulunkulu futhi bazi ubuso Bakhe, ngeke kufezwe uNkulunkulu ongekho esimweni somuntu. UNkulunkulu lapho esenze umsebenzi Wakhe kulesi sigaba, umsebenzi Wakhe usuvele usube nomphumela omuhle futhi ube impumelelo ephelele. Umsebenzi wamathupha kaNkulunkulu esenyameni usuyiqedile kakade ingxenye engamaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye yakho konke ukuphatha Kwakhe. Le nyama yenze kwaba nesiqalo esingcono kuwo wonke umsebenzi Wakhe, futhi iwukufingqwa kwawo wonke komsebenzi Wakhe, isabalalise wonke umsebenzi Wakhe, futhi isimemezele wonke umsebenzi Wakhe, yaphinde yagcwalisa ngokuphelele kuwo wonke lo msebenzi. Ukusuka lapho, ngeke kube nomunye uNkulunkulu osesimweni somuntu ozokwenza isigaba sesine somsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngeke kusaba nomunye umsebenzi omangalisayo kaNkulunkulu osesimweni somuntu okwesithathu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Sidinga Kakhulu Ukusindiswa NguNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

30. Okuwukuphela kwesizathu esenza uNkulunkulu osesimweni somuntu abe inyama, kungenxa yezidingo zomuntu owonakalisiwe. Kungenxa yezidingo zomuntu hhayi ezikaNkulunkulu, futhi konke anikela ngakho nokuhlupheka Kwakhe kungenxa yesintu, akukhona okwenzuzo kaNkulunkulu uqobo. Abukho ubuhle nobubi nemiklomelo kuNkulunkulu; akufanele avune isivuno sesikhathi esizayo, ngaphandle kwalokho ayevele ekweletwa khona. Konke akwenzayo nanikela ngakho ngenxa yesintu akakwenzeli ukuba athole imiklomelo emikhulu kodwa ukwenzela isintu kuphela. Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu enyameni ubandakanya ubunzima obuningi obungacabangeki, imiphumela okugcina kuba nayo iyidlula kude leyo yomsebenzi owenziwa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi wenyama unobunzima obukhulu, futhi inyama ayinakuba nesiqu esifana nesikaMoya; ngeke ikwazi ukuthwala izenzo ezifana nezoMoya, mancane kakhulu amathuba okuthi ibe negunya elifanayo nelikaMoya. Kodwa ingqikithi yomsebenzi wale nyama enganakekile iyedlula kude eyomsebenzi owenziwe uqondiswa uMoya, nale enyama uqobo iyimpendulo yazo zonke izidingo zomuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Sidinga Kakhulu Ukusindiswa NguNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

31. Into eyenza le nyama yenze umsebenzi umuntu angeke awenze ukuthi isiqu Sakhe sangaphakathi asifani nesomuntu, futhi okungamenza asindise umuntu ukuthi isiqu Sakhe sihlukile kwesomuntu. Le nyama ibaluleke kakhulu esintwini ngoba ungumuntu, futhi unguNkulunkulu kakhulu, ngoba angenza umsebenzi umuntu ovamile oyinyama angeke akwazi ukuwenza, ngoba angasindisa umuntu okhohlakele, ophila Naye emhlabeni. Nakuba efana nomuntu, uNkulunkulu osesimweni somuntu ubaluleke kunawo wonke umuntu obalulekile esintwini, ngoba angenza umsebenzi ongeke wenziwe uMoya kaNkulunkulu, angedlula uMoya kaNkulunkulu ekwethuleni ubufakazi ngoNkulunkulu uqobo, futhi angasizuza kangcono isintu kunoMoya kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, nakuba inyama ivamile futhi ijwayelekile, umnikelo nokubaluleka kwayo ekubeni khona kwesintu kuyigugu kakhulu, ukubaluleka kwangempela kwale nyama akunakucatshangwa umuntu. Nakuba le nyama ingenakumbhubhisa ngokuqondile uSathane, angasebenzisa umsebenzi Wakhe ukuze anqobe isintu futhi ehlule uSathane, enze uSathane awuthobele ngokugcwele umbuso Wakhe. Ngenxa kaNkulunkulu osesimweni somuntu, uNkulunkulu engakwazi ukunqoba uSathane asindise isintu. Akambhubhisi ngokuqondile uSathane, kodwa uba inyama ukuze enze umsebenzi wokunqoba isintu, esonakaliswe uSathane. Ngale ndlela, ukwazi kangcono ukwethula ubufakazi Kuye uqobo phakathi kwezidalwa, futhi ukwazi kangcono ukusindisa isintu esonakalisiwe. Ukunqoba uSathane kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kuwubufakazi obukhulu, kunamandla okuvumisa, ukwedlula ukubhujiswa ngokuqondile kukaSathane nguMoya kaNkulunkulu. UNkulunkulu osenyameni ukulungele kangcono ukusiza abantu ukuthi bazi uMdali, futhi ukulungele kangcono ukwethula ubufakazi Ngaye uqobo phakathi kwezidalwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Sidinga Kakhulu Ukusindiswa NguNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

31. Ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, sisodwa isigaba esenziwa siqondiswa uMoya, futhi ezinye izigaba ezimbili zaziqondiswa uNkulunkulu osesimweni somuntu, zingaqondiswa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi weNkathi Yomthetho owenziwa uMoya wawungabandakanyi ukushintsha isimo esikhohlakele somuntu, futhi awuzange udinge noma yiluphi ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu. Umsebenzi wenyama kaNkulunkulu eNkathini Yomusa naseNkathini Yombuso, uhlanganisa isimo somuntu esikhohlakele nolwazi lwakhe ngoNkulunkulu, futhi uyingxenye ebalulekile nebucayi yomsebenzi wensindiso. Ngakho, isintu esikhohlakele siyidinga kakhulu insindiso kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi siwudinga kakhulu umsebenzi oqondile kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Isintu sidinga ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu aseluse, aseseke, asiphuzise, asondle, asahlulele futhi asijezise, futhi siwudinga kakhulu umusa nokutakulwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu wenyama kuphela, ongaba ithemba lomuntu, umelusi womuntu, nosizo lwamanje lomuntu, futhi konke lokhu kuyisidingo sikaNkulunkulu osesimweni somuntu namuhla nasezikhathini ezedlule.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Sidinga Kakhulu Ukusindiswa NguNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

33. Ebudlelwaneni bakhe noNkulunkulu osesimweni somuntu, umuntu uqhubeka esuka ekuphikiseni aye ekulaleleni, ekushushiseni aye ekwamukeleni, ekucabangeni aye olwazni, ekwaleni aye othandweni. Lena imiphumela yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Umuntu usindiswa kuphela ngenxa yokuvuma ukwahlulelwa, bese eya ngokuya azi uNkulunkulu ngamazwi omlomo Wakhe, anqotshwe Nguye ekumelaneni Naye, futhi athole ukuphila kuye ngokwamukela kwakhe isijeziso. Wonke lo msebenzi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni, hhayi umsebenzi kaNkulunkulu onesiqu sikaMoya. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu umsebenzi omkhulu kakhulu, okuwumsebenzi obanzi kakhulu, futhi ingxenye ebaluleke kakhulu ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu yizigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu esesimweni somuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isintu Esikhohlakele Sidinga Kakhulu Ukusindiswa NguNkulunkulu Osesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

34. uJesu wenza isinyathelo somsebenzi owagcwalisa kuphela ubuqu bokuthi “uLizwi wayekuNkulunkulu”: Iqiniso lokuthi uNkulunkulu wayekuNkulunkulu, nokuthi uMoya kaNkulunkulu wawusenyameni futhi ungasuki kuYe, okungukuthi, inyama kaNkulunkulu osenyameni yayinoMoya kaNkulunkulu, okungubufakazi obuqand’ikhanda bokuthi ukuba kukaJesu enyameni kwakungokokuqala uNkulunkulu esenyameni. Lesi sigaba somsebenzi sagcwalisekisa incazelo yangempela “kaLizwi eba yinyama,” saba nencazelo ejulile yokuthi “uLizwa wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu,” futhi sikwenza uwakholelwe ngokuqinile amazwi athi “Ekuqaleni wayekhona uLizwi.” Okungukuthi, ngesikhathi kudalwa uNkulunkulu wayenamazwi, amazwi aKhe ayenaye engasuki kuYe, kanti inkathi yokugcina yenza kucace bha ngamandla negunya lamazwi aKhe, avumele abantu babone wonke amazwi Akhe—ukuzwa wonke amazwi aKhe. Unjalo umsebenzi wesigaba sokugcina. … Ngenxa yokuthi lona ngumsebenzi wokuba senyameni kwesibili—okuyisikhathi sokugcina uNkulunkulu esenyameni—uphelelisa ngokugcwele ukubaluleka kokuba senyameni, wenza futhi uqhubekisela phambili ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, futhi uqeda inkathi yokuba senyameni kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

35. Manje, uNkulunkulu ufika ezokwenza umsebenzi hhayi esemzimbeni kamoya kodwa esemzimbeni ojwayelekile. Akuyiwo kuphela umzimba kaNkulunkulu wokuba senyameni kwesibili, kodwa futhi umzimba uNkulunkulu abuya ekuwo. Uyinyama ejwayelekile kakhulu. Kuye, awukwazi ukubona into ehlukile kweyabanye, kodwa ungathola Kuye amaqiniso ongakaze uwezwe ngaphambilini. Le nyama engabalulekile iwukuhlanganiswa kwawo wonke amazwi eqiniso avela kuNkulunkulu, lokho okwenza umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, futhi kuveza sonke isimo sikaNkulunkulu ukuze umuntu asiqonde. Awukufisi kakhulu ukubona uNkulunkulu osezulwini? Awufisi kakhulu ukuqonda uNkulunkulu osezulwini? Awufisi kakhulu ukubona isiphetho sesintu? Uzokutshela zonke lezi zimfihlo okungekho muntu oke wakwazi ukukutshela zona, futhi uzobuye akutshele amaqiniso ongawaqondi. Uyisango lakho lokungena embusweni, nomqondisi wakho ekungeneni enkathini entsha. Inyama ejwayeleke kanjalo iqukethe izimfihlakalo ezingenakwaziwa. Izenzo Zakhe zingaqondakali kuwe, kodwa umgomo wawo wonke umsebenzi awenzayo wenele ukuthi ubone ukuthi akayona nje inyama njengoba umuntu ekholwa. Ngoba umele intando kaNkulunkulu kanye nokunakekela okukhonjiswa uNkulunkulu esintwini ezinsukwini zokugcina. Nakuba ungawezwa amazwi awakhulumayo okungathi ashukumisa amazulu nomhlaba noma ubone amehlo Akhe njengamalangabi alangukayo, futhi nakuba ungakuzwa ukuqondisa kwenduku yensimbi Yakhe, ungezwa emazwini Akheulaka lukaNkulunkulu futhi wazi ukuthi uNkulunkulu ukhombisa ububele esintwini; ungasibona isimo esilungile sikaNkulunkulu nokuhlakanipha Kwakhe, futhi ngaphezu kwalokho, ubone ukukhathazeka nokunakekela uNkulunkulu anakho ngesintu. Umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina ukuvumela umuntu ukubona uNkulunkulu osezulwini ephila phakathi kwabantu emhlabeni, futhi nokwenza umuntu ukuthi azi, alalele, ahloniphe, futhi athande uNkulunkulu. Yingakho ebuyele enyameni okwesibili. Nakuba lokho umuntu akubonayo namuhla kunguNkulunkulu ofana nomuntu, uNkulunkulu onekhala kanye namehlo amabili, futhi uNkulunkulu ongamangalisi, ekugcineni uNkulunkulu uzokukhombisa ukuthi ngaphandle kokuba khona kwalo muntu, izulu nomhlaba kungabhekana noguquko olumangalisayo; ngaphandle kokuba khona kwalo muntu, izulu lingafiphala, umhlaba ungaphenduka isiphithiphithi, futhi sonke isintu singaphila endlaleni nezifo ezibhubhisayo. Uzokukhombisa ukuthi ngaphandle kwensindiso kaNkulunkulu osenyameni ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ngabe kade abhubhisa sonke isintu esihogweni; ngaphandle kokuba khona kwale nyama, ubuyohlala njalo uyinkosi yezoni nezidumbu ingunaphakade. Kufanele wazi ukuthi ngaphandle kokuba khona kwale nyama, sonke isintu besizobhekana nenhlekelele engenakugwemeka futhi sithole kunzima ukuphunyuka esijezisweni sikaNkulunkulu esinzima kakhulu ezinsukwini zokugcina. Ngaphandle kokuzalwa kwale nyama ejwayelekile, nonke benizoba sesimweni lapho ukuphila nokufa kungasafiki akukhathaleki ukuthi nikufuna kanjani; ngaphandle kokuba khona kwale nyama, ngalolu suku ubungeke ukwazi ukwemukela iqiniso futhi uze ngaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Kunalokho, ubuyojeziswa nguNkulunkulu ngenxa yezono zakho ezimbi kakhulu. Uyazi? Ukuba ubengabuyelanga uNkulunkulu enyameni, akekho obezoba nethuba lokusindiswa; futhi ukuba beyingezanga le nyama, uNkulunkulu ngabe kade ayiqeda inkathi endala. Kanjalo, usengakuchitha ukuba senyameni kukaNkulunkulu okwesibili? Njengoba ungazuza kakhulu kangaka kulo muntu ojwayelekile, kungani ungamamukeli Yena kalula?

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Bewazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

36. Wonke umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina wenziwa ngalo muntu ojwayelekile. Uzobeka konke phezu kwakho, futhi, ngaphezu kwalokho, anganquma yonke into ngawe. Umuntu onjalo angaba njengoba ukholwa: umuntu ojwayeleke ngendlela yokuthi akafanele ukushiwo? Iqiniso Lakhe alanele ukukukholisa ngokuphelele? Ukubona izenzo Zakhe akwanele ukukukholisa ngokuphelele? Noma ukuthi indlela akuholela kuyo, ayifanelekile ukuthi uyilandele? Yini le ekwenza uzizwe umzonda, uphinde umlahle futhi umbalekele? Nguye oveza iqiniso, Nguye onika iqiniso futhi Nguye owenza ukuthi ube nendlela ozoyihamba. Kungenzeka ukuthi namanje awuziboni izimpawu zomsebenzi kaNkulunkulu kula maqiniso? Ngaphandle komsebenzi kaJesu, isintu ngabe asizange sehle esiphambanweni, kodwa ngaphandle kokuba senyameni namuhla, labo abehle esiphambanweni bebengeke bamukeleke kuNkulunkulu noma bangene enkathini entsha. Ngaphandle kokufika kwalo muntu ojwayelekile, ubungeke ube nethuba noma ufaneleke ukubona ubuso bangempela bukaNkulunkulu, ngoba nonke niyilabo ebekufanele ukuthi babhujiswa kudala. Ngenxa yokufika kokuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu, uNkulunkulu usekuxolele futhi wakukhombisa umusa. Noma kunjalo, amazwi okufanele ngikushiye nawo ekugcineni kuseyilawa: Lo muntu ojwayelekile, onguNkulunkulu osenyameni, ubaluleke ngokusemqoka kuwe. Yinto enkulu uNkulunkulu aseyenzile phakathi kwabantu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Bewazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

37. Nonke niyaqaphela ukuthi uNkulunkulu uba yinyama ngenhloso yokungenisa inkathi entsha futhi, ngokusobala, lapho engenisa inkathi entsha, usuke eseyiphothule ngaso leso sikhathi inkathi edlule. UNkulunkulu uyiSiqalo neSiphetho; uyena uqobo oqala umsebenzi wakhe ngakho kumele kube nguye Nuqobo ophetha inkathi eyedlule. Lokhu kuwubufakazi bokuthi uyamnqoba uSathane futhi uyalinqoba izwe. Njalo lapho Yena Nuqobo esebenza kubantu, kuba yisiqalo sempi entsha. Ngaphandle kokuqalwa komsebenzi omusha, ngokwemvelo bekungeke kuphele ngokudala. Futhi ukungaphethwa kokudala kuwubufakazi bokuthi impi elwiwa noSathane ayikapheli. Kulapho kuphela uNkulunkulu eza ebantwini ezokwenza umsebenzi omusha okwenza umuntu ukuba agqashuke ngokuphelele ekulawulweni nguSathane futhi athole impilo entsha nesiqalo esisha. Ngale kwalokho, umuntu uyohlale ephila enkathini endala futhi ehlezi ngaphansi kwethonya likaSathane. … Umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa nguNkulunkulu uqobo. Nguye oqala umsebenzi futhi Nguye owuphothulayo. Nguye ohlela umsebenzi, futhi Nguye owuphathayo futhi ngaphezu kwalokho Nguye owenza ukuba umsebenzi ube yimpumelelo. Kunjengoba kushiwo eBhayibhelini, “Ngiyisiqalo futhi ngiyisiphetho; ngiwuMtshali noMvuni.” Konke okuhlobene nomsebenzi wokuphatha Kwakhe kwenziwa nguye Ngokwakhe. UnguMbusi wohlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha; akekho ongenza umsebenzi Wakhe esikhundleni Sakhe noma ongaphatha umsebenzi Wakhe ngoba Nguye olawula konke. Njengoba adala umhlaba, uyowuhola wonke umhlaba ukuze uphile ekukhanyeni Kwakhe futhi uyophetha yonke le nkathi ukuze enze ukuba uhlelo Lwakhe luthele izithelo!

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule:I. Yikuphi Okukhulu Kunokunye: UNkulunkulu, Noma IBhayibheli? Buyini Ubudlelwane Phakathi KukaNkulunkulu NeBhayibheli?

Okulandelayo:III. Ngeqiniso Legama LikaNkulunkulu

Okuqukethwe Okuhlobene