Samukela bonke abafuna iqiniso ukuba basithinte.

Okukhethiweyo Kwamazwi KaNkunkulu USomandla

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

0 Imiphumela Yokufuna

Ayikho imiphumela etholakele.

V. Ngabe Umsebenzi WeNkosi UJesu Wokukhulula Ungumsebenzi Wokuphetha Inkathi Ngempela?

1. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

2. Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono. Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi owawungaqondakali kubafundi Bakhe, futhi washo okuningi abantu abangakuqondanga. Lokhu kungenxa yokuthi, ngaleso sikhathi, wayenganiki ncazelo. … UJesu akazelanga ukuzophelelisa nokuzuza umuntu kodwa ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi: wokuzoletha ivangeli lombuso wasezulwini nokuqedela umsebenzi wokubethelwa—futhi lapho uJesu esebethelwe, umsebenzi Wakhe wafika ekugcineni. Kodwa kulesi sigaba—umsebenzi wokunqoba—maningi amazwi okumele akhulunywe, mningi umsebenzi okumele wenziwe futhi kumele kube nezinqubo eziningi. Kulindeleke okufanayo ngezimfihlakalo zomsebenzi kaJesu noJehova okumele zembulwe, ukuze bonke abantu babe nokuqonda nokucacelwa ekukholweni kwabo, ngoba lona umsebenzi wezinsuku zokugcina futhi izinsuku zokugcina ziwukuphela komsebenzi kaNkulunkulu, isikhathi sokuphela kwalo msebenzi.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

3. Lapho uJesu enza umsebenzi Wakhe, ulwazi lomuntu ngaye lwalungakacaci. Umuntu wayelokhu ecabanga ukuthi uyindodana kaDavide futhi emmemezela njengomphrofethi omkhulu neNkosi enomusa eyakhulula umuntu esonweni. Abanye, ngenxa yokholo, baphulukiswa ngokuthinta nje umphetho wengubo Yakhe; abangaboni base bebona ngisho nababefile babuyiselwa ekuphileni. Nokho, umuntu akazange ayithole impande ejulile yesimo sobuSathane esonakele kuye futhi akakwazanga ukuyilahla. Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayemane enze izono, azivume njengenjwayelo ngaphandle kokuguqula izindlela zawo; zazinjalo izimo zabantu zemvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

4. Kumuntu, ukubulawa kukaJesu esiphambanweni kwasonga umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, kwahlenga sonke isintu, futhi kwamkhulula ukuba athathe izihluthulelo zeHayidesi. Wonke umuntu ucabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usufezwe ngokugcwele. Eqinisweni, kuNkulunkulu, kufezwe ingxenye encane yalo msebenzi. Usasihlengile kuphela isintu; akakasinqobi, uma wakhipha ububi bukaSathane kumuntu. Yingakho uNkulunkulu ethi, “Nakuba ukuba kwaba umuntu kwangizwisa ubuhlungu ngaze ngafa, lokho kwakungeyona yonke inhloso yokuba Kwami umuntu. UJesu iNdodana Yami engiyithandayo futhi waphanyekwa esiphambanweni ngenxa Yami, kodwa akawuqedanga wonke umsebenzi Wami. Wenza ingxenye yawo.” Ngakho uNkulunkulu waqala isiwombe sesibili secebo lokuqhubeka nomsebenzi wakhe enyameni. Ekugcineni, uNkulunkulu ufuna ukuphelelisa nokuzuza wonke umuntu amsindise ezandleni zikaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

5. Umsebenzi ngezinsuku zokugcina uwukukhuluma amazwi. Zinkulu izinguquko ezingenzeka kubantu ngamazwi. Izinguquko ezenzekile kulaba bantu ekwamukeleni la mazwi zinkulu kakhulu kunalezo zangeNkathi Yomusa ekwamukeleni lezo zibonakaliso nezimangaliso. Ngoba, eNkathini Yomusa, amadimoni asuka kumuntu ngenxa yokubekwa kwezandla nemithandazo kodwa izimo zokonakala ngaphakathi kumuntu zahlala zikhona. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

6. Uzowuqonda umsebenzi owenziwe uJesu kanye nomsebenzi kaNkulunkulu namuhla; uzoliqonda futhi ulazi lonke iqiniso, ukuphila nendlela. Esigabeni somsebenzi owenziwa uJesu, kungani uJesu ahamba ngaphandle kokuqeda umsebenzi kaNkulunkulu? Kungenxa yokuthi isigaba somsebenzi kaJesu sasingewona umsebenzi wesiphetho. Lapho ebethelwa esiphambanweni, amazwi Akhe nawo afika ekugcineni; ngemva kokubethelwa Kwakhe, umsebenzi Wakhe wawusuqedwe ngokuphelele. Isigaba esikuso manje sihlukile: Kuyoba kuphela ngemva kokuba amazwi esekhulunywe kwaze kwaba sekugcineni nomsebenzi wonke kaNkulunkulu usuphothuliwe, lapho umsebenzi Wakhe uyoqedwa khona. Phakathi nesigaba sikaJesu somsebenzi, maningi amazwi agcina engashiwongo noma angaphiniyiswanga ngokugcwele. Kodwa uJesu akakhathazekanga ngalokho akusho noma angakushongo, ngoba inkonzo Yakhe kwakungeyona inkonzo yamazwi ngakho ngemva kokubethelwa esiphambanweni wahamba. Leso sigaba somsebenzi ikakhulu sasingenxa yokubethelwa, futhi asifani nhlobo nesigaba sanamuhla. Lesi sigaba somsebenzi ikakhulu simayelana nokuqedwa, ukucaciswa kanye nokufinyelelisa wonke umsebenzi esiphethweni. Uma amazwi engakhulunywanga kwaze kwaba sekupheleni kwawo, ngeke ibe khona indlela yokuphetha lo msebenzi ngoba kulesi sigaba somsebenzi wonke umsebenzi ufikiswa ekugcineni futhi ufezwa ngokusebenzisa amazwi. Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi ongaqondakali kumuntu. Wahamba ngokuthula futhi namuhla baningi abangawaqondi amazwi Akhe, labo abanokuqonda okuyiphutha kodwa ababesakholwa ukuthi baneqiniso, abangazi ukuthi baphambukile. Ekugcineni, lesi sigaba sanamuhla sizofikisa umsebenzi kaNkulunkulu ekugcineni okuphelele, futhi silethe isiphetho sawo. Bonke bayoluqonda futhi balwazi kahle uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Imibono ekumuntu, izinhloso zakhe, ukuqonda kwakhe okuyiphutha, imicabango yakhe ngomsebenzi kaJehova noJesu, imibono yakhe ngokuqondene nabeZizwe, nakho konke okunye ukuphambuka namaphutha akhe kuyolungiswa. Umuntu uyoziqonda zonke izindlela ezifanele zokuphila nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu nalo lonke iqiniso. Lapho lokhu kwenzeka, lesi sigaba somsebenzi sizophela. Umsebenzi kaJehova kwakuwukudala umhlaba, wawuyisiqalo; lesi sigaba somsebenzi siyisiphetho salo msebenzi futhi yiso esiwuphothulayo. Ekuqaleni, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa abakhethiweyo bakwa-Israyeli futhi wawuyisiqalo senkathi entsha sendawo engcwele kunazo zonke. Isigaba sokugcina somsebenzi senziwa ezweni elingcole kunawo wonke ukuze kwahlulelwe umhlaba futhi ukuze kuqedwe inkathi. Esigabeni sokuqala, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa endaweni ekhanya kunazo zonke izindawo futhi isigaba sokugcina senziwa endaweni emnyama kunazo zonke, futhi lobu bumnyama buzoqedwa, kulethwe ukukhanya bese kunqotshwa bonke abantu. Lapho abantu abakulezi zindawo ezingcolile futhi ezimnyama kunazo zonke sebenqotshiwe, futhi bonke abantu sebebona ukuthi ukhona uNkulunkulu weqiniso, futhi wonke umuntu eseqiniseka ngokugcwele, lokhu kuyosho ukuthi leli qiniso liyosetshenziselwa ukwenza umsebenzi wokunqoba indawo yonke. Lesi sigaba somsebenzi siwuphawu: lapho kuqedwa lo msebenzi okulesi sigaba, umsebenzi weminyaka eyizi-6 000 wokuphatha uzofika ekugcineni okuphelele.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

7. Isici somsebenzi kaNkulunkulu wokusola nokwahlulela ukuhlanza isintu, futhi usuku lokuphumula kokugcina. Ngale kwalokho, bonke abantu ngeke bekwazi ukulandela uhlobo lwabo noma ukungena ekuphumuleni. Lo msebenzi uwukuphela kwendlela yokungena kwesintu ekuphumuleni. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlanza kuphela oyohlanza isintu ekungalungini kwaso, futhi umsebenzi Wakhe wokusola nokwahlulela kuphela oyoveza lezo zinto zokungalaleli phakathi kwesintu, ngalokho wehlukanise labo abangasindiswa kulabo abangeke basindiswe, nalabo abayosala kulabo abangeke basale. Lapho umsebenzi kaNkulunkulu uphela, abantu abayosala bayohlanzwa futhi bajabulele okunye ukuphila kwabantu okumangalisayo emhlabeni njengoba bengena endaweni ephakeme yobuntu; ngamanye amazwi, bayongena osukwini lokuphumula lwabantu, baphile noNkulunkulu. Ngemva kokuba labo abangeke basale sebesoliwe futhi bahlulelwa, imikhuba yabo ababeyenza iyokwembulwa ngokuphelele; ngemva kwalokho bayobhujiswa njengoSathane, ngeke baphinde bavunyelwe ukuba baphile emhlabeni. Isintu sakusasa ngeke sibe nohlobo olunjena lwabantu; laba bantu abakulungele ukungena ezweni lokuphumula, futhi abakulungele ukungena osukwini lokuphumula uNkulunkulu ayolujabulela nabantu, ngoba kuhloswe ukuthi bajeziswe futhi babi, ababona abantu abalungile. … Umsebenzi Wakhe wasekugcineni wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo wenziwa ukuze kuhlanzwe ngokuphelele sonke isintu, ukuze alethe ukuphumula kwaphakade kuso sonke isintu esingcwele. Lesi sigaba somsebenzi Wakhe siwumsebenzi obucayi kakhulu. Siyisigaba sokugcina sawo wonke umsebenzi Wakhe wokuqondisa.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

8. Iminyaka eyizi-6,000 yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ihlukaniswe ezigabeni ezintathu: iNkathi yoMthetho, iNkathi yoMusa kanye neNkathi yoMbuso. Le zigaba ezintathu zomsebenzi zonke ezokusindiswa kwesintu, okungukuthi, ezokusindiswa kwesintu esonakaliswe kakhulu nguSathane. Ngesikhathi esifanayo, kepha, ezokuthi uNkulunkulu alwe noSathane. Ngakho, njengoba umsebenzi wensindiso uhlukaniswe izigaba ezintathu, ngokunjalo impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu, futhi le zingxenye zombili zomsebenzi kaNkulunkulu zenzeka ngesikhathi esisodwa. Impi noSathane, empeleni, eyokusindiswa kwesintu, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi wokusindiswa kwesintu akuyona into engaqedwa ngempumelelo esigabeni esisodwa, impi noSathane nayo ihlukaniswe ngezigaba nezinkathi, futhi nempi iliwa noSathane ngokuhambisana nezidingo zomuntu kanye nezinga lokonakaliswa kwakhe nguSathane. … Emsebenzini wensindiso yomuntu, izigaba ezintathu zenziwe, okungukuthi impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu ngaphambi kokuhlulwa okuphelele kukaSathane. Kepha iqiniso elingaphakathi lomsebenzi wonkana wempi noSathane imiphumela yawo itholakala ngokuthela umusa phezu komuntu, kanye nokuba umhlabelo wesono womuntu, ukuthethelela izono zomuntu, ukunqoba umuntu, nokuphelelisa umuntu. Empeleni, impi noSathane akukhona ukuhloma izikhali ubhekane noSathane, kodwa insindiso yomuntu, ukusebenza impilo yomuntu, kanye nokushintsha isimo somuntu ukuze afakazele uNkulunkulu. USathane unqotshwa kanje. USathane unqotshwa ngokushintsha isimo esikhohlakele somuntu. Uma uSathane esehluliwe, okungukuthi, uma umuntu esesindisiwe ngokuphelele, uSathane ojabhile uyoboshwa ngokuphelele, futhi ngaleyo ndlela, umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, ingqikithi yensindiso yomuntu impi noSathane, kanti impi noSathane ibonakaliswa esikakhulukazi ensindisweni yomuntu. Isigaba sezinsuku zokugcina, lapho umuntu ezonqotshwa khona, isigaba sokugcina sempi noSathane, kanti futhi umsebenzi wokusindiswa okuphelele komuntu emandleni kaSathane. Incazelo yangaphakathi yokunqotshwa komuntu ukubuya kokusamuntu kukaSathane, umuntu owonakaliswe nguSathane, kuMdali, emuva kokunqotshwa kwakhe, ngalokho uyoshiya uSathane futhi abuyele ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngale ndlela umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, umsebenzi wokunqoba umsebenzi wokugcina empini ebhekene noSathane, kanye nesigaba sokugcina ekuphatheni kukaNkulunkulu ukuze kuhlulwe uSathane. Ngaphandle kwalo msebenzi, ukusindiswa komuntu okuphelele bekungeke kwenzeke neze ekugcineni, ukuhlulwa ngokuphelele kukaSathane nakho bekungeke kwenzeke neze, futhi isintu besingeke neze sikwazi ukungena esiphethweni esimangalisayo, noma ukukhululeka ethonyeni likaSathane. Ngenxa yalokho, umsebenzi wokusindiswa komuntu ngeke uphethwe ngaphambi kukuthi impi noSathane iphethwe, ngoba umnyombo womsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ungenxa yokusindiswa kwesintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Elungile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule:IV. Ngeqiniso Lensindiso ENkathini Yomusa Nensindiso Enkathini Yombuso

Okulandelayo:VI. Ubudlelwane Phakathi Komsebenzi WeNkathi Yomusa NoweNkathi Yombuso

Okuqukethwe Okuhlobene