Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Izigaba Ezintathu Zomsebenzi | Okucashuniwe 4

October 01, 2020

Umsebenzi walo lonke uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, wenziwa nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Isigaba sokuqala—ukudalwa komhlaba—kwenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi ukuba kwakungenziwanga, kwakungekho omunye owayengakwazi ukudala isintu; isigaba sesibili kwaba ukuhlengwa kwesintu sonke, nakho kwenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe; isigaba sesithathu sisobala: Kunesidingo esikhulu nakakhulu sokuba isiphetho sawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu senziwe nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe mathupha. Umsebenzi wokuhlenga, wokunqoba, wokuzuza kanye nokuphelelisa isintu sisonkana wonke wenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Uma ubengawenzanga lo msebenzi mathupha, ubunjalo Bakhe bebungeke bumelwe ngumuntu, noma umsebenzi wakhe wenziwe ngumuntu. Ukuze ehlule uSathane, ukuze azuze isintu, futhi ukuze anike umuntu impilo ejwayelekile emhlabeni, uhola umuntu mathupha futhi asebenze phakathi kwabantu mathupha; ngenxa yohlelo lwakhe lokuphatha lulonke, futhi ngenxa yomsebenzi wakhe wonke, kufanele awenze yena mathupha lomsebenzi. Uma umuntu ekholwa kuphela ukuthi uNkulunkulu weza ukubonwa nguye nokumjabulisa, izinkolelo ezinjalo azinasigqi, azisho lutho. Ulwazi lomuntu lukha phezulu kakhulu! Yingokuwenza Yena uqobo lwakhe kuphela indlela uNkulunkulu abengawenza lomsebenzi ngesineke nangokuphelele. Umuntu akakwazi ukuwenzela uNkulunkulu. Njengoba engenakho ubunjalo bukaNkulunkulu, noba ubukhona bakhe, akakwazi ukwenza umsebenzi Wakhe, futhi noma ngabe umuntu ubewenza, bewungeke ube namphumela. Okokuqala uNkulunkulu athatha isimo sesintu, kwakungenxa yokuhlenga, ukuhlenga sonke isintu esonweni, ukwenza umuntu akwazi ukuba ahlanzeka nokuthethelelwa izono zakhe. Umsebenzi wokunqoba nawo wenziwa nguNkulunkulu mathupha phakathi kwabantu. Uma, kule sigaba, uNkulunkulu ubekhuluma iziprofetho kuphela, umprofethi noma umuntu onesiphiwo ubengatholakala ukuthatha indawo yakhe; uma isiprofetho kuphela ebesikhulunywa, umuntu ubengamela uNkulunkulu. Kepha uma umuntu ubengenza mathupha umsebenzi kaNkulunkulu uqobo lwakhe futhi ukuba ubengasebenza impilo yomuntu, ubengeke akwazi neze ukuwenza lomsebenzi. Kumele wenziwe mathupha nguNkulunkulu uqobo lwakhe: uNkulunkulu kufanele athathe isimo sesintu ukwenza lo msebenzi. ENkathini yezwi, uma isiprofetho kuphela besikhulunywa, umprofethi u-Isaya noma u-Elija ubengatholakala ukuwenza lo msebenzi, futhi besingeke sibe khona isidingo sokuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe awenze Yena mathupha. Ngenxa yokuthi umsebenzi owenziwe kulesi sigaba awukhona nje ukukhuluma ngesiphrofetho, futhi ngenxa yokuthi kubaluleke kakhulu, ukuthi umsebenzi wamazwi usetshenziselwe ukunqoba umuntu nokwehlula uSathane, lo msebenzi awunakwenziwa ngumuntu, futhi kufanele wenziwe mathupha nguNkulunkulu uqobo. ENkathini yoMthetho uJehova Wenza ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, emuva kwalokho Wakhuluma amazwi athile futhi wenza umsebenzi othile ngabaprofethi. Yingoba umuntu ubengawenza umsebenzi kaJehova, futhi iziboni zazikwazi ukubikezela izinto nokuhumusha amaphupho, zenzela Yena. Umsebenzi owenziwa ekuqaleni kwakungewona umsebenzi wokushintsha isimo somuntu ngqo, kuthi wawungahlangene nesono somuntu, futhi umuntu wayefanele ukugcina umthetho kuphela. Ngakho uJehova akazange athathe isimo sesintu futhi aziveze yena uqobo Lwakhe kumuntu; kunalokho Wakhuluma ngqo noMose nabanye, wabenza bakhuluma futhi basebenzela Yena, futhi wabenza ukuthi basebenze ngqo phakathi kwesintu. Isigaba sokuqala somsebenzi kaNkulunkulu kwabe kungukuhola umuntu. Kwabe kungukuqala kwempi noSathane, kodwa le mpi yayingakaqali ngokusemthethweni. Impi esemthethweni noSathane yaqala ngesikhathi uNkulunkulu ethatha isimo sesintu okokuqala, futhi isiqhubeke kwaze kwaba inamuhlanje. Isiwombe sokuqala salempi senzeka lapho uNkulunkulu othathe isimo sesintu ebethelwa esiphambanweni. Ukubethelwa kukaNkulunkulu othathe isimo sesintu kwehlula uSathane, kuthi kwabe kuyisigaba sokuqala sempi esinempulelo. Lapho uNkulunkulu othathe isimo sesintu eqala ngokuqondile ukusebenza impilo yomuntu, lokhu kwakuyisiqalo esisemthethweni somsebenzi wokuzuza umuntu, futhi ngenxa yokuthi lo kwakuwumsebenzi wokushintsha isimo somuntu esidala, kwakuwumsebenzi wokulwa noSathane. Isigaba somsebenzi esenziwe guJehova ekuqaleni kwakumane kungukuhola impilo yomuntu emhlabeni. Kwabe kungukuqala komsebenzi kaNkulunkulu, nakuba wawungakafaki impi, noma umsebenzi onzima, kwaba isisekelo somsebenzi wempi owawu seza. Emuva kwalokho, isigaba sesibili somsebenzi ngeNkathi yoMusa sasiphathelene nokushintsha isimo somuntu esidala, okusho ukuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wasebenza impilo yomuntu. Lokhu kwakudingeka kwenziwe nguNkulunkulu mathupha: kwakufuneka ukuthi uNkulunkulu mathupha athathe isimo sesintu, futhi uma ubengasithatha isimo sesintu, akekho ubengathatha indawo Yakhe kulesi sigaba somsebenzi, ngoba sasimele umsebenzi wokulwa ngqo noSathane. Uma umuntu ubenzele uNkulunkulu lo msebenzi, lapho umuntu esemile phambi kwaSathane, uSathane ubengeke athobe kuthi bekungenakwenzeka ukumehlula. Kwakudingeka kube uNkulunkulu ethathe isimo sesintu owayezofika amehlule, ngoba ingqikithi kaNkulunkulu othathe isimo somuntu, kusenguNkulunkulu, useyimpilo yomuntu, futhi usenguMdali; noma kwenzekani, ubunjalo nengqikithi Yakhe ngeke kushintshe. Ngakho-ke, Wathatha isimo sesintu futhi wenza umsebenzi ukudala ukuzithoba okuphelele kukaSathane. Ngesikhathi sesigaba somsebenzi wasezinsukwini zokugcina, uma umuntu ubengenza lo msebenzi futhi uma ubengenziwa ukuthi akhulume amazwi ngqo, ubengeke akwazi ukuwakhuluma, futhi uma isiprofetho besishiwo, besingeke sikwazi ukunqoba umuntu. Ngokuthatha isimo sesintu, uNkulunkulu uyeza ukuzohlula uSathane nokudala ukuzithoba kwakhe okuphelele. Lapho ehlula uSathane ngokuphelele, futhi uyamzuza umuntu ngokuphelele, emuva kwalokhu lesi sigaba somsebenzi siyophela futhi impumelelo izuzwe. Ekuphatheni kukaNkulunkulu, umuntu akakwazi ukummela uNkulunkulu. Esikakhulukazi, umsebenzi wokuhola inkathi kanye nokuqalisa umsebenzi omusha udinga kakhulu impela ukwenziwa mathupha nguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ukunika abantu izambulo nokubahlinkeka ngesiprofetho kungenziwa ngumuntu, kodwa uma kuwumsebenzi okufanele wenziwe mathupha nguNkulunkulu, umsebenzi wempi phakathi kwaNkulunkulu uqobo Lwakhe kanye noSathane, ngakho lomsebenzi awukwazi ukwenziwa ngumuntu. Esigabeni sokuqala somsebenzi, lapho kwakungekho mpi noSathane, uJehova wahola abantu bakwa-Israyeli mathupha, esebenziza isiprofetho esasikhulunywa ngaba profethi. Emuva kwalokho, isigaba sesibili somsebenzi kwabe kungukulwa noSathane, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wathatha isimo sesintu, weza esenyameni, ukwenza lo msebenzi. Nanoma yini ephathelene nempi noSathane, futhi iphathelene nokuthatha isimo sesintu kukaNkulunkulu, okusho ukuthi lempi ngeke iliwe ngumuntu. Uma umuntu ubengalwa impi, ubengeke akwazi ukuhlula uSathane. Ubengaba kanjani namandla okulwa naye njengoba esengaphansi kwamandla akhe? Umuntu uphakathi nendawo: Uma uncika ngakuSathane, ungowaSathane, kodwa uma wenelisa uNkulunkulu ungoka Nkulunkulu. Uma umuntu ebengamela uNkulunkulu emsebenzini walempi, ubengakwazi? Uma ubekwenzile, ubengeke kube sewabhubha kudala? Ubengeke kube sewangena ezweni labafileyo kudala? Ngakho, umuntu akakwazi ukuthatha indawo kaNkulunkulu emsebenzini Wakhe, okungukuthi umuntu akanayo ingqikithi kaNkulunkulu, futhi uma ubengalwa noSathane bengeke akwazi ukumehlula. Umuntu angenza umsebenzi othile kuphela; angabazuza abantu abathile, kodwa akakwazi ukumela uNkulunkulu emsebenzini kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ubengalwa kanjani umuntu noSathane? USathane ubengakuthumba ngisho ngaphambi kokuthi uqale. Kulapho kuphela uNkulunkulu uqobo Lwakhe elwa noSathane futhi umuntu elandela futhi elalela uNkulunkulu kulesi sisekelo, lapho umuntu engazuzwa uNkulunkulu futhi aphunyuke ezibophweni zikaSathane. Lokho umuntu angaphumelela ukukwenza ngokuhlakanipha namakhono akhe kunemigomo kakhulu; akakwazi ukwenza umuntu aphelele, ukumhola, futhi nakakhulu, ukumehlula uSathane. Ingqondo nokuhlakanipha komuntu akukwazi ukubhuntshisa amacebo kaSathane, ngakho umuntu ubengalwa kanjani ngako?

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp