Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Izigaba Ezintathu Zomsebenzi | Okucashuniwe 16

February 06, 2021

Umsebenzi osuwenziwa manje usuqhubele phambili umsebenzi weNkathi Yomusa; okusho ukuthi, umsebenzi wohlelo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha uqhubekele phambili. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekele phambili. Kungani ngisho isikhathi nesikhathi ukuthi lesi sigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi wanamuhla ungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi Yomusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi Yomthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi ikhongco ngalinye eketangweni lixhumene ngokuqinile kwelinye. Kungani ngibuye ngithi lesi sigaba somsebenzi sakhele kulowo owenziwa uJesu? Uma lesi sigaba singakhelanga emsebenzini owenziwe uJesu, bekuyofuneka kube khona okunye ukubethelwa kulesi sigaba, futhi umsebenzi wokuhlenga owenziwe ngaphambilini bekuzodingeka ukuba uphindwe. Lokhu bekungeke kube namqondo. Ngakho-ke, akusho ukuthi umsebenzi usuphele nya, kodwa ukuthi inkathi iqhubekele phambili futhi nezinga lomsebenzi seliphakanyiselwe phezudlwana kunakuqala. Kungathiwa lesi sigaba somsebenzi sakhelwe esisekelweni seNkathi Yomthetho nedwala lomsebenzi kaJesu. Umsebenzi wakhiwa ngesigaba nesigaba, kanti lesi sigaba asikhona ukuqala kabusha. Ngukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Umsebenzi kulesi sigaba wenziwe esisekelweni somsebenzi weNkathi Yomusa. Ukuba lezi zigaba ezimbili zomsebenzi azihlobene, kungani ukubethelwa kungaphindwa kulesi sigaba? Kungani ngingathwali izono zomuntu? Angifiki ngokuthatshathwa ngoMoya oNgcwele, futhi angithwali izono zomuntu ngokubethelwa; kodwa, ngilapha ukuze ngisole umuntu ngokuqondile. Ukuba ukusola Kwami umuntu nokufika Kwami manje ngokungathatshathwa ngoMoya oNgcwele akulandelanga ukubethelwa bengingeke ngifanele ukusola abantu. Ngempela kungenxa yokuthi ngimunye noJesu ukuthi ngiza ngokuqondile ukuzosola nokwahlulela umuntu. Lesi sigaba somsebenzi sakhele ngokuphelele phezu kwesigaba esingaphambili. Yingakho kungumsebenzi onjalo kuphela ongaletha umuntu ensindisweni, isinyathelo ngesinyathelo. Mina noJesu sivela eMoyeni owodwa. Noma inyama yethu ingenabudlelwano, uMoya Wethu munye; yize ingqikithi yesikwenzayo nomsebenzi esiwenzayo kungefani, ingqikithi Yethu iyefana; inyama Yethu ithatha izimo ezihlukene, kodwa lokhu kwenziwa yinguquko enkathini nokwehlukana kwezidingo zomsebenzi Wethu; izinkonzo Zethu azifani, ngakho umsebenzi esiwenzayo nesimo esisembula kumuntu nakho akufani. Kungakho lokhu umuntu akubonayo nakuqondayo namuhla kungafani nokwedlule; lokhu kwenziwa ukuguquka kwenkathi. Yize ubulili nesimo senyama Yabo kwehlukene noma bengazalwa emndenini munye, nangasikhathi sinye, uMoya Wabo noma kunjalo munye. Noma inyama yabo ingenabo ubudlelwane begazi nenyama nganoma iyiphi indlela, lokhu akukuphikisi ukuthi bawukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu ngezikhathi ezimbili ezingefani. Yiqiniso elingephikwe ukuthi bayinyama esesimweni somuntu kukaNkulunkulu, yize bengenagazi elifanayo noma ulimi oluvamile lwabantu (omunye wayengowesilisa okhuluma ulimi lwamaJuda omunye ungowesifazane okhuluma isiShayina kuphela). Yilezi zizathu ezenze baphile emazweni ukuze benze umsebenzi okumele bobabili bawenze, nasezikhathini ezehlukene futhi. Ngaphandle kokuba Moya munye, banengqikithi eyodwa, akukho ukufana koqobo phakathi kwamagobolondo enyama Yabo yangaphandle. Bafana ngobuntu kuphela, kodwa ukubukeka nokuzalwa kwenyama Yabo akufani. Lokhu akunamthelela emisebenzini Yabo ehlukene noma ulwazi umuntu analo Ngabo, ngoba, ekugcineni, bawuMoya munye futhi akekho ongabahlukanisa. Noma bengahlobene ngegazi, ububona Babo bonke buphethe uMoya Wabo, obahlukanisela umsebenzi ongefani ngezikhathi ezingefani, nenyama Yabo uyinike izinhlobo ezehlukene zegazi. UMoya kaJehova awuyena uyise woMoya kaJesu, noMoya kaJesu awuyona indodana yoMoya kaJehova. BaMoya munye. NjengoNkulunkulu osesimweni somuntu wale mihla noJesu nje. Yize bengahlobene ngegazi, Bamunye; lokhu kungenxa yokuthi uMoya Wabo munye. Angenza umsebenzi womusa nesisa, kanye nalowo wokwahlulela ngokulunga nokusolwa kwabantu, nowokuqalekiswa kwabantu; futhi ekugcineni, angenza umsebenzi wokubhubhisa umhlaba nokujezisa ababi. Ingabe akakwenzi lokhu ngoKwakhe? Ingabe lokhu akukhona ukuba namandla onke kukaNkulunkulu? Wakwazi kokubili ukushayela abantu imithetho nokumnika imiyalelo, futhi wakwazi ukuhola ama-Israyeli asendulo ukuba aphile izimpilo zawo emhlabeni aphinde awaqondise ukuba akhe ithempeli nama-altare, ebusa phezu kwawo wonke ama-Israyeli. Ngokwethembela egunyeni Lakhe, wahlala nabo emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili. Abakwa-Israyeli bebengelokothe bamhlubuke; bonke babehlonipha uJehova kakhulu begcina imiyalelo Yakhe. Lo kwakuwumsebenzi owenziwa ngokwethembela egunyeni Lakhe nokuba namandla onke Kwakhe. Kwathi, eNkathini Yomusa, uJesu weza ukuzohlenga sonke isintu esiwile (hhayi ama-Israyeli kuphela). Wakhombisa umusa nesisa kubantu. UJesu owabonwa abantu eNkathini Yomusa wayegcwele isisa futhi wayehlala enothando kubantu, ngoba wayeze ukuzosindisa isintu esonweni. Wayekwazi ukuxolela abantu izono zabo kwaze ukubethelwa Kwakhe kwasindisa isintu ngokuphelele ezonweni. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wavela kubantu ngomusa nangesisa; okusho ukuthi, waba ngumnikelo wesono wabantu futhi wabethelwa ngenxa yezono zabantu ukuze baxolelwe kuze kube phakade. Wayenomusa, uzwelo, ukubekezela nothando. Futhi bonke labo ababelandela uJesu ngeNkathi Yomusa ngokufanayo babefuna ukuba nokubekezela nothando kuzo zonke izinto. Babebekezela, futhi abazange baziphindiselele ngisho sebeshaywa, beqalekiswa, noma bekhandwa ngamatshe. Kodwa akunjalo kulesi sigaba sokugcina. Ngokufanayo, noma uMoya wabo wawumunye, umsebenzi kaJesu nokaJehova wawungafani ncimishi. Umsebenzi kaJehova wawungewona owokuqeda inkathi kodwa ukuyiqondisa, ungenisa impilo yesintu emhlabeni. Noma kunjalo, umsebenzi manje ukunqoba labo bantu abonakaliswe kakhulu ezizweni zabeZizwe, nokungaholi kuphela abantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo eShayina kodwa umhlaba wonke jikelele naso sonke isintu. Kungabonakala kuwe ukuthi lo msebenzi wenziwa kuphela eShayina, kodwa empeleni, usuqalile ukwanda naphesheya. Kungani abantu abavela kwamanye amazwe, njalo nje, befuna indlela yangempela? Kungenxa yokuthi uMoya useqalile ukwenza umsebenzi Wakhe, futhi amazwi akhulunywayo manje aseqondiswe kubantu bomhlaba wonke jikelele. Ngalokhu, ingxenye yomsebenzi isiqalile. Ukusuka ekudalweni komhlaba kuze kufike manje uMoya kaNkulunkulu useqale umsebenzi omkhulu kakhulu, futhi ngaphezu kwalokho sewenze imisebenzi ehlukene ngezinkathi ezahlukene futhi ezizweni ezahlukene. Abantu benkathi ngayinye babona isimo Sakhe esehlukile, esivezwa ngokwemvelo yimisebenzi ehlukene ayenzayo. UnguNkulunkulu, ogcwele umusa nesisa, ungumnikelo wesono wabantu futhi ungumelusi wabantu kepha ubuye abe ukwahlulelwa komuntu, ukusola nesiqalekiso. Angahola umuntu ukuba aphile emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili abuye ahlenge isintu esonakele esonweni. Namuhla, uyakwazi nokunqoba isintu esingamazi asenze sibe ngaphansi kombuso Wakhe, ukuze sonke sizithobe ngaphansi Kwakhe ngokuphelele. Ekugcineni, uzoshisa konke okungcolile nokungalungile kubantu emhlabeni wonke jikelele, ukubakhombisa ukuthi akayena uNkulunkulu womusa nothando kuphela, uNkulunkulu wobuhlakani nezimangaliso kuphela, uNkulunkulu ongcwele kuphela, kodwa ngaphezu kwalokho, unguNkulunkulu owahlulela abantu. Kulabo ababi phakathi kwabantu, ungukushisa, ukwahlulela kanye nokusola; kulabo okufanele bapheleliswe, uwukuhlupheka, ukucwengwa, ukulingwa kanye nokunethezeka, ukuhlinzekwa, ukunikezwa amazwi, ukubheka, nokuthena. Kanti kulabo abakhishiwe, uwukujezisa kanye nokushaywa.

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp