Gospel Song "Incazelo Yangempela Yokukholwa KuNkulunkulu" (Zulu Subtitles)

November 02, 2018

I

Abantu abaningi kakhulu bayakholwa, kodwa bambalwa kakhulu abaqondayo ukuthi ukholo kuNkulunkulu lusho ukuthini ngempela,

yini okufanele bayenze ukuze benze ngokuvumelana nenhliziyo kaNkulunkulu.

Abaningi bayalazi igama elithi “Nkulunkulu,” bayayazi imishwana enjengethi “umsebenzi kaNkulunkulu,”

kodwa abamazi Yena, nalokho akwenzayo ngempela.

Akumangalisi ukuthi ukholo lwabo lungubumpumputhe.

Abazimisele ngalokhu ngoba akuvamile futhi kuyamangaza.

Ngakho basilele kakhulu ezimfunweni zikaNkulunkulu. O …

Uma ungamazi uNkulunkulu nomsebenzi Wakhe, ingabe ungafaneleka ukusetshenziswa Nguye?

Ungasenelisa yini isifiso sikaNkulunkulu?

Ukukholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona akwenele.

Kulula kakhulu lokho, kungokwenkolo kakhulu.

Akufani nokukholwa kwangempela Kuye.

Ukukholwa kwangempela kuNkulunkulu kusho ukuthi uzwa umsebenzi Wakhe namazwi Akhe

okholweni lokuthi uyinkosi phezu kwakho konke.

Khona-ke ungakwazi ukuzikhulula esimweni esonakele

bese ugcwalisa izifiso zikaNkulunkulu ekuphileni kwakho futhi umazi.

Iyona ndlela eya ekukholweni kwangempela kuNkulunkulu. Iyona ndlela eya ekukholweni kwangempela Kuye.

II

Abaningi bacabanga ukuthi ukukholwa kuyinto elula futhi engajulile.

Ukukholwa okunjalo akunamqondo. Angakwamukela kanjani uNkulunkulu?

Basendleleni engeyona.

Labo abakholelwa ezincwadini, ezimfundisweni ezingenalutho selokhu abazi

ukuthi ukukholwa kwabo akukhona okoqobo futhi ngeke kwamukelwe nguNkulunkulu.

Basaqhubeka nokuthandazela ukuthula nomusa.

Yima futhi ucabange ukuthi ngabe ukholo lulula kanjalo. Ngabe kungukucela ukuthula nomusa kuphela? O …

Ingabe ungasigcwalisa isifiso Sakhe, uma usamphika, ungamazi?

Ukukholwa ukutheni uNkulunkulu ukhona akwenele.

Kulula kakhulu lokho, kungokwenkolo kakhulu.

Akufani nokukholwa kwangempela Kuye.

Ukukholwa kwangempela kuNkulunkulu kusho ukuthi uzwa umsebenzi Wakhe namazwi Akhe

okholweni lokuthi uyinkosi phezu kwakho konke.

Khona-ke ungakwazi ukuzikhulula esimweni esonakele

bese ugcwalisa izifiso zikaNkulunkulu ekuphileni kwakho futhi umazi.

Iyona ndlela eya ekukholweni kwangempela kuNkulunkulu. Iyona ndlela eya ekukholweni kwangempela kuNkulunkulu.

Iyona ndlela eya ekukholweni kwangempela Kuye.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp