Gospel Music | "Iminyaka Eyizinkulungwane Ezimbili Yokulangazelela" | Music Video (Zulu Subtitles)

April 08, 2018

I

Ukuthi uNkulunkulu ube yinyama kunyakazisa inkolo,

kuphazamisa uhlelo lwenkolo,

futhi kunyakazisa imiphefumulo yabo bonke abalangazelela ukubonakala kukaNkulunkulu.

Ngubani ongamangali ngalokhu? Ngubani ongalangazeleli ukubona uNkulunkulu?

UNkulunkulu usechithe iminyaka phakathi kwabantu, kodwa umuntu akakuboni nhlobo lokhu.

Namuhla, uNkulunkulu uqobo usebonakele ukuze avuselele uthando Lwakhe oludala nomuntu.

II

Emva kokusuka eJudiya, uNkulunkulu wanyamalala akwasala mkhondo.

Abantu balangazelela ukumbona futhi, kodwa abakaze balindele

ukuhlangana Naye futhi lapha nanamuhla.

Kwakungenzeka kanjani lokhu kungabuyisi izinkumbulo zakudala?

Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili eyedlule,

uSimoni indodana kaJona wahlangana neNkosi uJesu, futhi wadla neNkosi etafuleni elilodwa.

Iminyaka yokulandela yajulisa uthando lwakhe Ngaye.

Wayethanda uJesu ekujuleni kwenhliziyo yakhe.

UNkulunkulu usechithe iminyaka phakathi kwabantu, kodwa umuntu akakuboni nhlobo lokhu.

Namuhla, uNkulunkulu uqobo usebonakele ukuze avuselele uthando Lwakhe oludala nomuntu,

ukuze avuselele uthando Lwakhe oludala nomuntu.

umthombo Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp