Kungani UNkulunkulu Esebenzisa Igama Elithi UNkulunkulu USomandla Enkathini YoMbuso?

November 13, 2017

Abantu abaningi abaqondi ukuthi kungani, ngoba uNkulunkulu uSomandla uwukubuya kweNkosi uJesu ezinsukwini zokugcina, iNkosi uJesu ibizwa ngokuthi uNkulunkulu uSomandla lapho iza ukuzokwenza umsebenzi wokwahlulela ezinsukwini zokugcina. Kungani ingaqhubeki nokubizwa ngeNkosi uJesu? Eqinisweni, uNkulunkulu ubizwa ngegama elisha njalo lapho ezokwenza isigaba esithile somsebenzi Wakhe. UNkulunkulu uthatha leli gama elisha ngokufanela umsebenzi—akukhona okuthile abantu abambiza ngakho lapho bethanda. Igama iNkosi uJesu ebizwa ngalo lapho ibuya ezinsukwini zokugcina kwaprofethwa ngalo eBhayibhelini esikhathini eside esedlule. Encwadini yesAmbulo, kwathiwa “Nasengelosini yebandla laseFiladelfiya bhala; Lezi zinto uthi…. Bheka, ngiyeza masinyane: bambelela kulokho onakho, ukuze kungabi namuntu ozothatha umqhele wakho. Lowo onqobayo ngizomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi angeke esaya ngaphandle: futhi ngizobhala kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, okuyiJerusalema elisha, elizovela ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobe sengibhala kuye igama lami elisha(IsAmbulo 3:7, 12). “Ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, kusho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nesazoza, uMninimandla onke(IsAmbulo1:8). “Ngezwa sengathi izwi lesixuku esikhulu, futhi sengathi izwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi. Haleluya: ngokuba iNkosi uNkulunkulu onamandla onke uyabusa(IsAmbulo19:6). Igama likaNkulunkulu uSomandla weNkathi Yombuso liwukugcwaliswa okuphelele kweziprofetho zeNcwadi yesAmbulo. Igama uNkulunkulu alisebenzisayo enkathini ngayinye linokubaluleka okukhulu futhi lihlobene eduze nomsebenzi kaNkulunkulu phakathi naleyo nkathi. UNkulunkulu uSomandla wembula izimfihlakalo ezihlobene nalokhu lapho ethi, “Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani? Anganamathela kanjani kokudala? Igama likaJesu lathathwa ngenxa yomsebenzi wokuhlenga, ngakho ingabe uzobizwa ngegama elifanayo lapho ebuya ezinsukwini zokugcina? Ingabe ubeyobe esenza umsebenzi wokukhulula? Kungani uJehova noJesu bengumuntu oyedwa, kodwa babizwe ngamagama angafani ngezinkathi ezingafani? Ingabe akukhona ngenxa yokuthi izinkathi zemisebenzi yabo zehlukene? Ingabe uNkulunkulu uqobo Lwakhe lonke angabizwa ngegama elilodwa? Uma kunjalo uNkulunkulu kumele abizwe ngegama elehlukile ngenkathi eyehlukile, futhi asebenzise igama ukuze aguqule inkathi futhi ayimele, ngoba alikho elinye igama elingamela uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi igama ngalinye likwazi kuphela ukumela ingxenye yesikhathi sesimo sikaNkulunkulu enkathini ethile; konke elidinga ukukwenza ukumela umsebenzi Wakhe. Ngakho, uNkulunkulu angakhetha noma yiliphi igama elimela isimo Sakhe ukuze amele yonke inkathi. Kungakhathaleki ukuthi kusenkathini kaJehova noma kaJesu, inkathi nenkathi imelwa yigama(kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni).

‘UJehova’ yigama engalisebenzisa ngenkathi ngisebenza kwa-Israyeli, futhi lisho uNkulunkulu wama-Israyeli (Abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu) ongazwela umuntu, amqalekise umuntu futhi aqondise ukuphila komuntu. Lisho uNkulunkulu onamandla amakhulu futhi ogcwele ukuhlakanipha. ‘UJesu’ ungu-Emanuweli, okusho umnikelo wesono ogcwele uthando, ogcwele ububele futhi okhulula isintu. Wenza umsebenzi Wenkathi Yomusa, futhi wamelela ingxenye eyodwa yohlelo lokuqondisa. Okusho ukuthi, uJehova kuphela onguNkulunkulu wabantu baka-Israyeli abakhethiweyo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, uNkulunkulu kaJakobe, uNkulunkulu kaMose noNkulunkulu wabo bonke abakwa-Israyeli. Ngakho, nakule nkathi, bonke abakwa-Israyeli, ngaphandle kwamaJuda, bakhonza uJehova. Bamenzela iminikelo e-altare futhi bamkhonze begqoke izingubo zabapristi ethempelini. Abanethemba lakho ukubonakala kukaJehova futhi. NguJesu kuphela ongoMhlengi wesintu. Ungumnikelo wesono owahlenga isintu esonweni. Okusho ukuthi, igama likaJesu livela eNkathini Yomusa, futhi belilokhu likhona ngenxa yomsebenzi wokukhulula weNkathi Yomusa. Igama likaJesu libe khona ukuze abantu bangeNkathi Yomusa bazalwe kabusha futhi basindiswe, futhi liyigama elithile lokuhlenga sonke isintu. Ngakho igama likaJesu limelela umsebenzi wokuhlenga, futhi lisho iNkathi Yomusa. Igama elithi Jehova, liyigama elithile labantu bakwa-Israyeli ababephila ngaphansi komthetho. ENkathini ngayinye nesigaba ngasinye somsebenzi, igama lami linesisekelo kodwa futhi limelela okuthile okubalulekile: Igama ngalinye limele inkathi eyodwa. ‘UJehova’ umele iNkathi Yomthetho futhi liyisihloniphiso sikaNkulunkulu owayekhonzwa ngabantu bakwa-Israyeli. ‘UJesu’ umelela iNkathi Yomusa futhi uyigama likaNkulunkulu wabo bonke abahlengwa phakathi neNkathi Yomusa. Uma umuntu elangazelela ukufika kukaJesu uMsindisi phakathi nezinsuku zokugcina, kodwa esalindele ukuba afike engumfanekiso ayeyiwo eJudiya, ngakho lonke uhlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luzoma ngeNkathi Yokuhlengwa, futhi angeke akwazi uqhubekele phambili. Ngaphezu kwalokho, izinsuku zokugcina azisoze zafika, futhi inkathi ngeke iqedwe. Lokhu kungenxa yokuthi uJesu uMsindisi uhlenga futhi asindise isintu. Ngathatha igama likaJesu ngenzela zonke izoni zangeNkathi Yomusa futhi akulona igama engizoliletha ukuqeda ngesintu. Nakuba uJehova, uJesu kanye noMesiya bonke bemelela uMoya Wami, la magama abonisa kuphela izinkathi ezihlukahlukene zohlelo Lwami lokuqondisa futhi awameleli sonke isiqu Sami. Amagama abantu abasemhlabeni abangibiza ngawo awakwazi ukusiveza sonke isimo Sami semvelo nakho konke engiyikho. Amane angamagama nje engibizwa ngawo ezinkathini ezingafani. Futhi, lapho kufika inkathi yokugcina—inkathi yezinsuku zokugcina—igama Lami kuyomele lishintshe futhi. Angeke ngibizwe ngoJehova, noma ngoJesu, ingasaphathwa ekaMesiya. Ngizobizwa ngoNkulunkulu uSomandla Uqobo, futhi kuleli gama ngiyoyiqeda yonke inkathi. Ngangaziwa ngoJehova kuqala. Ngangaziwa futhi ngoMesiya, futhi abantu babengibiza ngoJesu uMsindisi ngoba babengithanda futhi bengihlonipha. Kodwa namuhla angiyena uJehova noma uJesu abantu ababemazi kudala—nginguNkulunkulu obuye ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ozoqeda ngenkathi. NginguNkulunkulu Uqobo ovukayo kusuka ekupheleni komhlaba, isimo Sami semvelo siphelelisiwe futhi nginalo lonke igunya, udumo nenkazimulo(“Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni).

Ngokusobala uNkulunkulu uSomandla wathi kunokubaluleka okumelelwa ukusebenzisa kukaNkulunkulu igama elithile enkathini ngayinye: Ngalinye limelela umsebenzi kaNkulunkulu nesimo Sakhe kuleyo nkathi. Ngesikhathi seNkathi Yomthetho, uNkulunkulu wasebenzisa igama elithi Jehova ukumemezela imithetho nemiyalelo Yakhe nokuqondisa ukuphila kwabantu emhlabeni; ngesikhathi seNkathi Yomusa, uNkulunkulu wasebenzisa igama elithi Jesu ukwenza umsebenzi wokuhlenga isintu; futhi ngesikhathi seNkathi Yombuso, uNkulunkulu ubizwa ngokuthi uNkulunkulu uSomandla, wenza umsebenzi wokwahlulela ngokuqala endlini kaNkulunkulu ukuhlanza, ukushintsha nokusindisa abantu. UNkulunkulu ushintsha inkathi esebenzisa igama Lakhe, futhi asebenzise leli gama ukumelela umsebenzi waleyo nkathi. Lapho uJehova uNkulunkulu enza umsebenzi weNkathi Yomthetho, abantu babengase babusiswe futhi bavikelwe uNkulunkulu ngokuthandaza egameni likaJehova nangokulalela imithetho nemiyalelo Yakhe kuphela. Ngokufika kweNkathi Yomusa, uNkulunkulu wasebenzisa igama elithi Jesu ukwenza umsebenzi wokuhlenga, futhi abantu kwakumele bamukele iNkosi uJesu njengoMsindisi, futhi bathandazele ukuphenduka egameni leNkosi, bathethelelwe izono zabo futhi bajabulele iqiniso nomusa abakunikwe yiNkosi uJesu. Uma abantu beqhubeka nokubambelela egameni likaJehova futhi bekwenqaba ukwamukela iNkosi uJesu, balahlekelwa ukunakekelwa nesivikelo sikaNkulunkulu, futhi bangene ebumnyameni, okuwukuqalekiswa nokujeziswa uNkulunkulu njengoba kwenzeka kubaFarisi abangamaJuda. Ekuqaleni kwezinsulu zokugcina, uNkulunkulu usebenzisa igama elithi uNkulunkulu uSomandla ukwenza umsebenzi wokwahlulela eqala endlini kaNkulunkulu. Ukwamukela igama elithi uNkulunkulu uSomandla, ukulandela eduze izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, nokwahlulelwa nokusolwa uNkulunkulu uSomandla kuphela, okungenza abantu baqonde futhi bathole iqiniso, baphume esonweni, bahlanzwe, futhi bathole insindiso kaNkulunkulu. Bonke labo abenqabayo ukwamukela igama elithi uNkulunkulu uSomandla futhi abawenqabayo umsebenzi Wakhe wokwahlulela wezinsuku zokugcina abakwazi ukuzikhulula ekugqilazweni yisono, futhi abakufanelekeli nanini ukungena embusweni wezulu.

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp