UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso

Umsebenzi wezinsuku zokugcina ukwahlukanisa bonke ngokohlobo lwabo, ukuze kuphothulwe uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ngoba isikhathi sesisondele futhi usuku lukaNkulunkulu selufikile. UNkulunkulu uletha bonke asebengene embusweni Wakhe, okusho ukuthi, bonke labo abethembeke Kuye kwaze kwaba sekugcineni, enkathini kaNkulunkulu uqobo. Nokho, ngaphambi kokufika kwenkathi kaNkulunkulu uqobo, umsebenzi uNkulunkulu ayowenza akusikho ukubheka izenzo zomuntu noma ukuphenya ngempilo yomuntu, kodwa ukwehlulela ukuhlubuka kwakhe, ngoba uNkulunkulu uyohlanza labo abeza phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi. Bonke labo abalandele ezinyathelweni zikaNkulunkulu kuze kube yilolu suku yibo abeze phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu, futhi njengoba kunjalo, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina bayilabo abazocwengisiswa uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina uyokwahlulelwa uNkulunkulu.

“Ukwahlulela” emazwini akhulunywe ngaphambilini—ukwahlulela kuyoqala endlini kaNkulunkulu—kusho ukwahlulela okwenziwa uNkulunkulu namuhla kulabo abeza phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi ngezinsuku zokugcina. Mhlawumbe kukhona labo abakholelwa kulezo zimangaliso becabanga ukuthi uma sekufika izinsuku zokugcina, uNkulunkulu uyobeka itafula elikhulu ezulwini, ayokwendlala indwangu emhlophe kulo, bese kuthi ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esikhulu futhi bonke abantu beguqe phansi ngamadolo. adalule izono zomuntu nomuntu bese ngalokho anqume ukuthi ngabe bayokhuphukela ezulwini noma bayothunyelwa echibini lomlilo nesibabule. Noma umuntu angacabangani, ingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu ingeguqulwe. Ukucabanga komuntu akulutho ngaphandle kokuba yilokho okwakhiwe imicabango yomuntu nje futhi kuphuma emqondweni womuntu, kwaqoqwa futhi kwahlanganiswa kulokho umuntu akubonile wakuzwa. Ngakho ngithi, ngisho zingaba wubuhlakani obungakanani izithombe ezakhekile, aziyilutho nje nolungaphezu kwemidwebo futhi azinakuthatha indawo yohlelo lomsebenzi kaNkulunkulu. Vele, umuntu wonakaliswe nguSathane, ngakho angakwazi kanjani ukuqonda imicabango kaNkulunkulu? Umuntu ucabanga ukuthi umsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu muhle kakhulu. Umuntu ukholwa wukuthi njengoba kunguNkulunkulu uqobo owenza umsebenzi wokwahlulela, kusho ukuthi mkhulu kakhulu futhi akanakuqondwa ngabantu abafayo; kumele kuzwakale emazulwini futhi kushukumise umhlaba, kungenjalo kungaba kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? Ukholwa ngukuthi njengoba lokhu kungumsebenzi wokwahlulela, uNkulunkulu-ke kumele aphakame futhi abe nobukhosi lapho esebenza, futhi labo abahlulelwayo kufanele ukuba bakhihla isililo futhi baguqe ngamadolo becela intethelelo. Umfanekiso onje kufanele ukuthi muhle kakhulu emehlweni futhi uvusa imizwa ngokujulile…. Wonke umuntu ucabanga umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ukuthi ungomangalisayo ngokungaphezulu kwemvelo. Ngabe uyazi, nokho, ukuthi uNkulunkulu waqala umsebenzi wokwahlulela kubantu kudala futhi sonke lesi sikhathi wena ubuthokomele ekuthuleni kokungazi? Ukuthi ngesikhathi ocabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela uqala ngaso ngokusemthethweni, sekuyisikhathi sokuthi uNkulunkulu enze izulu nomhlaba kabusha? Ngaleso sikhathi, mhlawumbe uyobe nje usanda kuqonda incanzelo yokuphila, kodwa umsebenzi ongenamusa wokujezisa kukaNkulunkulu uyokuthumela, usagcwele ubuthongo, esihogweni. Yilapho-ke oyothuka usuqonda ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela usuphothuliwe.

Masingachithi isikhathi esibalulekile, singabe sisakhuluma ngalezi zihloko eziyisidina nezinyanyisayo. Kunalokho masikhulume kabanzi ngokuqukethwe ukwahlulela. Uma kufika egameni elithi “ukwahlulela,” uzocabanga amazwi akhulunywa nguJehova kuzo zonke izindawo futhi amazwi okusola ashiwo nguJesu kubaFarisi. Yize la mazwi ebuhlungu, akasikho ukwahlulela abantu okwenziwa uNkulunkulu; lngamazwi kuphela akhulunywa nguNkulunkulu ezimweni ezahlukene, okusho ukuthi, ezindaweni nasezikhathini ezahlukene; futhi awafani namazwi akhulunywa nguKristu njengoba ahlulela abantu ezinsukwini zokugcina. Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyembula, abhekane, futhi athene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu. Uma ungawabuki la maqiniso ngokubaluleka kwawo futhi uhlala ucabanga ukuwabalekela noma ukuthola indlela entsha yokuwabalekela, ngithi uyisoni esikhulu. Uma ukholwa kuNkulunkulu, ube ungalifuni iqiniso noma intando kaNkulunkulu, noma ungayithandi indlela ekusondeza kuNkulunkulu, ngakho ngithi kuwe ungumuntu ozama ukubalekela ukwahlulela. Ungunopopi futhi uyimbuka elibalekela isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe. UNkulunkulu ngeke axolele muntu ohlubukayo ophunyukayo phansi kwamehlo Akhe. Abantu abanjalo bayothola isijeziso esiqine kakhulu. Labo abeza phambi kukaNkulunkulu ukuze behlulelwe futhi esebengcwelisiwe bayophila phakade embusweni kaNkulunkulu. Nakanjani, lokhu kuyokwenzeka esikhathini esizayo.

Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela. Abantu abaningi banomuzwa omubi mayelana nesimo sokuba senyameni kukaNkulunkulu, ngoba umuntu ukuthola kunzima bokukholwa ukuthi uNkulunkulu wayengaba yinyama ukuze enze umsebenzi wokwahlulela. Kodwa kumele ngikwazise ukuthi ngokuvamile umsebenzi kaNkulunkulu wedlula okulindelwe ngabantu futhi kulukhuni ukuthi imiqondo yabantu iwamukele. Ngoba abantu bayizimpethu nje emhlabeni, kube uNkulunkulu engophakeme ogcwalisa umhlaba; umqondo womuntu ufana nomgodi wamanzi abolile akhipha izimpethu kuphela, kanti isigaba ngasinye somsebenzi oqondiswa yimicabango kaNkulunkulu siwukuconsiswa kobuhlakani bukaNkulunkulu. Umuntu uhlala efisa ukuphikisana noNkulunkulu, engithi ngakho kusobala ukuthi ubani oyolahlekelwa ekugcineni. Ngiyanixwayisa nonke ukuthi ningaziboni ukuthi nibaluleke ngaphezu kwegolide. Uma abanye abantu bekwazi ukwamukela ukwahlulela kukaNkulunkulu, pho kungani nina ningakwazi? Nina niphakeme kangakanani ngaphezu kwabanye? Uma abanye abantu bekwazi ukugebisa amakhanda abo phambi kweqiniso, kungani nina ningenzi njalo? Umsebenzi kaNkulunkulu unomfutho onganqandeki. kazukuwuphinda umsebenzi wokwahlulela futhi ngenxa “yenu,” futhi nizogcwala ukuzisola okungenamkhawulo ngokudedela ithuba elihle kangaka. Uma ningawakholwa amazwi Ami, velani nilindele isihlalo sobukhosi esimhlophe esikhulu esibhakabhakeni ukuze sedlulisele ukwahlulela phezu kwenu! Kumele nazi ukuthi bonke abakwa-Israyeli bamala futhi bamphika uJesu, kodwa iqiniso lokuhlenga isintu kukaJesu laqhubeka lenabela emhlabeni jikelele laze lafika ekugcineni komhlaba. Akusilo leli iqiniso uNkulunkulu alenza kudala? Uma usalindele ukuthi uJesu akuyise phezulu ezulwini, ngithi kuwe uwukhuni olufie olunenkani.[a] uJesu ngeke emukele umuntu ongakholwa ngokweqiniso onjengawe ongethembekile eqinisweni futhi ofuna izibusiso kuphela. Empeleni, akazukukhombisa musa kuwe ekukuphoseni echibini lomlilo ukuze ushe iminyaka engamashumi ezinkulungwane.

Ngabe manje sewuyaqonda ukuthi kuyini ukwahlulela nokuthi iqiniso liyini? Uma sewuqonda, ngiyakunxusa ukuthi uthobele ngokulalela ukwahlulelwa, kungenjalo awusoze waba nethuba lokunconywa nguNkulunkulu noma lokuyiswa nguye embusweni Wakhe. Labo abamukela ukwahlulela kuphela kodwa abangakwazi ukuhlanzwa, okusho ukuthi, labo ababalekayo phakathi komsebenzi wokwahlulela, bayohlala bezondwa futhi belahlwa nguNkulunkulu. Izono zabo ziningi kakhulu, futhi zinkulu, kunezabaFarisi, ngoba bayamphika uNkulunkulu futhi bangamahlubuka kuNkulunkulu. Abantu abanjalo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi bayothola isijeziso esinzima kakhulu, isijeziso futhi esingapheli. UNkulunkulu akasoze ayeka noma ngubani omhlubukayo owake wathi wethembekile kuye ngamazwi kepha wayesemhlubuka. Abantu abanjalo bayothola impindiselo ngokujeziswa ngokomoya, umphefumulo, nangokomzimba. Ngabe lokhu akusikho kanye ukwembulwa kwesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Ngabe lokhu akusiyo injongo kaNkulunkulu yokwahlulela umuntu kanye nokumembula? UNkulunkulu ubeka bonke labo abenza zonke izinhlobo zemisebenzi emibi ngesikhathi sokwahlulela endaweni egcwele imimoya emibi ukuze le mimoya emibi ibhubhise imizimba yabo yenyama ngokuthanda. Imizimba yabo ikhipha iphunga lesidumbu, futhi nesijeziso esibafanele sinjalo. UNkulunkulu ubhala phansi ezincwadini zomlando wabo isono ngasinye salawo makholwa amanga angethembekile, abaphostoli bamanga kanye nabasebenzi bamanga; kuthi uma isikhathi sesifanele, ubaphosa phakathi kwemimoya engcolile ukuze imizimba yayo engcolile ingcolise yonke imizimba yabo ngokuthanda ukuze bangaphindi babe senyameni futhi bangaphindi babone ukukhanya. Labo bakhohlisi abenza umsebenzi ngesikhathi esisodwa kodwa abakwazi ukuhlala bethembekile kuze kube sekugcineni babalwa uNkulunkulu phakathi kwabantu abakhohlakele ukuze bahambe emiyalelweni yabantu abakhohlakele, babe yingxenye yoquqaba olungahlelekile; ekugcineni, uNkulunkulu uyobabhubhisa. UNkulunkulu uyabachitha futhi akabanaki labo abangakaze bethembeke kuKristu noma bazinikele ngemizamo ethile, futhi uyobabhubhisa bonke ngokuguquka kwezinkathi. Ngeke besaba khona emhlabeni, kube kuncane kakhulu ukuthola indlela engena embusweni kaNkulunkulu. Labo abangakaze bathembeke kuNkulunkulu kodwa abaphoqwa yisimo ukuthi babhekane Naye ngokushampuza nje bayobalwa phakathi kwalabo abasebenzela abantu Bakhe. Bambalwa kakhulu kubantu abanjalo abangasinda, kuyilapho iningi labo liyobhubha nalabo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi. Ekugcineni, uNkulunkulu uyofikisa embusweni Wakhe bonke labo abanomqondo ofana nokaNkulunkulu, abantu namadodana kaNkulunkulu kanjalo nalabo abahlelelwe uNkulunkulu ukuthi babe ngabefundisi. Sinjalo isithelo sikaNkulunkulu asiveza ngomsebenzi Wakhe. Kulabo abangakwazi ukungena kwesinye salezi zigaba ezimiswe nguNkulunkulu, bayobalwa phakathi kwabantu abangakholwa. Futhi nakanjani ningazicabangela nje ukuthi isiphetho sabo siyoba yini. Sengikushilo konke okumele ngikusho kini; indlela eniyikhethayo iyoba yisinqumo senu. Okumele nikuqonde yilokhu: Umsebenzi kaNkulunkulu awulindi noma ubani ongakwazi ukuhambisana nesivinini Sakhe, futhi isimo sikaNkulunkulu sokulunga asikhombisi musa kunoma yimuphi umuntu.

Imibhalo yaphansi:

a. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “isimo esingathembisi.”

Okwedlule: Ingabe Uyikholwa Leqiniso KuNkulunkulu?

Okulandelayo: Ingabe Bewazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp