Ingabe Uyikholwa Leqiniso KuNkulunkulu?

Mhlawumbe uhambo lwenu lokholo kuNkulunkulu seluthathe unyaka owodwa noma emibili, futhi ekuphileni kwakho kule minyaka ubulokhu ubekezelela ubunzima obukhulu; noma mhlawumbe awukaze ubhekane nobunzima, kunalokho ubulokhu wamukela umusa. Kungenzeka nokuthi awukaze udlule ebunzimeni noma uboniswe umusa, kodwa esikhundleni salokho bewuphila impilo evamile. Noma kunjalo, usengumlandeli kaNkulunkulu, ngakho ake sixoxe ngendaba yokumlandela. Nokho-ke, kumele ngikhumbuze bonke abafunda la mazwi ukuthi izwi likaNkulunkulu liqondiswe kubo bonke labo abavuma uNkulunkulu nabo bonke abalandela uNkulunkulu, hhayi kubantu bonke jikelele, kuhlanganise nalabo amvumi uNkulunkulu. Uma ukholwa ukuthi uNkulunkulu ukhuluma nabantu abaningi, nabo bonke abantu emhlabeni, lokho kusho ukuthi izwi likaNkulunkulu ngeke libe namthelela kuwe. Ngakho, kufanele ugcine wonke la mazwi enhliziyweni yakho, futhi uqikelele ukuthi awuzibeki ngaphandle komkhawulo wawo. Noma kunjalo-ke, ake sikhulume ngalokho okwenzeka ngaphakathi endlini yethu.

Nonke manje kufanele niqonde incazelo yeqiniso yokukholwa kuNkulunkulu. Incazelo yokukholwa kuNkulunkulu engikhulume ngayo phambilini ihlobene nokuvunyelwa kwakho ukuba ungene. Akunjalo namuhla. Namuhla ngingathanda ukuhlaziya umsuka wokholo lwenu kuNkulunkulu. Empeleni, lokhu kuniqondisa kunisusa engxenyeni engenhle; uma ngingenzi kanjalo, lokho kungasho ukuthi anisobe nabazi ubuso benu obuyiqiniso futhi niyohlale niqhosha ngokuzinikela kanye nangokwethembeka kwenu. Ngamanye amazwi, uma ngingakumbi ukujula kobubi ezinhliziyweni zenu, lokho kuzosho ukuthi omunye nomunye wenu uzozibeka umqhele ekhanda lakhe, azinike yonke inkazimulo. Imvelo yenu yokuzidla nokuziqhenya yikho okunenza nikhaphele onembeza benu, nihlubuke futhi nimelane noKristu, nembule ububi benu, futhi ngalokho niziveza obala izinhloso zenu, enikucabangayo, nezifiso ezinobugovu kanye namehlo enu agcwele umhobholo. Kodwa nisaqhubeka nithi nizonikela yonke impilo yenu emsebenzini kaKristu, futhi niwandaphinda njalo amaqiniso akhulunywa uKristu kudala. Lolu “ukholo” lwenu. Lolu “ukholo lwenu olungangcolile.” Sonke lesi sikhathi, ngibambe umuntu ngemithetho eqinile. Uma ubuqotho bakho buhambisana nezinhloso nemibandela, kungono ukuthi ngingabi nakho lokhu enikubiza ngobuqotho, ngoba ngiyabazonda labo abangikhohlisa ngezinhloso zabo futhi bangiluthe ngezimo. Ngifisa kuphela sengathi umuntu abe qotho ngokuphelele Kimi, hhayi komunye umuntu, futhi enze zonke izinto ngenxa yami abonise ubuqiniso futhi afakazele leli gama elilodwa elithi: ukholo. Ngiyakwenyanya ukusebenzisa kwenu amazwi amtoti ukuze ningenze ngijabule. Ngoba ngihlale nginiphatha ngobuqotho obuphelele futhi ngifisa ukuthi nani nenze ngokholo lweqiniso kimi. Lapho kukhulunywa ngokholo, abaningi bangase bacabange ukuthi balandela uNkulunkulu ngenxa yokuthi banokholo, uma kungenjalo bebengeke bakwazi ukubekezelela ukuhlupheka okufana nalokhu. Nakhu engikubuza khona: Kungani ungamhloniphi uNkulunkulu nakuba ukholwa ukuthi ukhona? Kungani ungamesabi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu uma nikholwa ebukhoneni Bakhe? Uyakwemukela ukuthi uKristu unguNkulunkulu osesimweni somuntu, pho kungani umedelela kanje? Kungani wenza ngokungahloniphi kangaka Kuye? Kungani umahlulela esidlangalaleni? Kungani nihlale nihlola izinyathelo Zakhe? Kungani ningazamukeli izinhlelo Zakhe? Kungani ningenzi izinto ngokuvumelana nezwi Lakhe? Kungani nimephuca futhi nimphamba ngeminikelo Yakhe? Kungani nikhuluma esikhundleni sikaKristu? Kungani nahlulela ukuthi umsebenzi nezwi Lakhe kulungile noma cha? Kungani nibe nesibindi sokumhlambalaza ngemuva Kwakhe? Ingabe lokhu nokunye kuyizinto ezakha ukholo lwenu?

Zonke izingxenye ezikhulumayo nokuziphatha kwenu kwembula izimpawu zokungakholwa kuKristu enihamba nazo ngaphakathi. Izisusa nemigomo yenu ngezinto enizenzayo kugcwele ukungakholwa; ngisho lowo muzwa osuka emehlweni enu ugcwele izimpawu ezinjalo. Ngamanye amazwi, umuntu ngamunye wenu, ngawo wonke umzuzu wosuku, uthwala izimpawu zokungakholwa. Lokhu kusho ukuthi, ngaso sonke isikhathi, usengozini yokukhaphela uKristu, ngoba igazi eligijima emzimbeni wakho ligcwele ukungakholwa ngokuba khona kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngakho, ngithi imilobo yezinyawo eniyishiya endleleni yokukholwa kuNkulunkulu ayinalutho olutheni. Nohambo lwenu endleleni yokukholwa kuNkulunkulu alugxilile, kunalokho nimane niyenza nje. Nihlale nilisola izwi likaKristu futhi anikwazi ukulenza ngaleso sikhathi. Lesi isizathu esenza ningabi nalo ukholo kuKristu, futhi imicabango enihlale ninayo ngaye ingesinye sezizathu ezinenza ningakholwa kuKristu. Nihlale ninokungabaza ngomsebenzi kaKristu, nivumela izwi likaKristu ukuba liwele ezindlebeni ezingezwa, ninemicabango nganoma yimuphi umsebenzi owenziwa uKristu, futhi ningakwazi ukuwuqonda ngokuyikho, nikuthola kunzima ukuyeka imicabango kungakhathaleki noma senithola ukuchazelwa, njalo njalo; zonke lezi izimpawu zokungakholwa ezinqwabelene ezixubene ezinhliziyweni zenu. Nakuba nilandela umsebenzi kaKristu futhi ningalokothi nisalele emuva, kunokuhlubuka okuningi ezinhliziyweni zenu. Lokhu kuhlubuka kuwukungcola ekukholweni kwenu kuNkulunkulu. Mhlawumbe awuvumelani nalokho, kodwa uma ungakwazi ukubona izinhloso zakho kukho, nakanjani uzoba yilowo ozobhubha. Ngoba uNkulunkulu uphelelisa labo abakholwa Kuye ngokweqiniso, hhayi labo abamlandela ngokungabaza ngaleya kokungakholwa ukuthi unguNkulunkulu.

Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo kuthiwa ngabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile lawo mahlelo emhlabeni anamagalelo nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi. Ngaphandle kokwamukela indlela yeqiniso, banokungabaza futhi abakwazi ukuzinikela ngokugcwele. Bakhuluma ngokunikelela uNkulunkulu, kodwa amehlo abo agxile kubefundisi kanye nothisha abaphakeme, bamshaya indiva uKristu. Izinhliziyo zabo zigcwele udumo, ingcebo nokukhazimula. Abakukholwa nhlobo ukuthi umuntukazana angakwazi ukunqoba abantu abaningi, nokuthi ongagqamile kangako angakwazi ukuphelelisa abantu. Abakukholwa nhlobo ukuthi laba bantu abengelutho abaphakathi kothuli nezindunduma zobulongwe bangabantu abakhethwe uNkulunkulu. Bakholwa ukuthi uma abantu abanjalo beyinjongo yokusindisa kukaNkulunkulu, lokho kuyosho ukuthi amazulu nomhlaba kuyophenduka kubheke phansi bese bonke abantu befa insini. Bakholwa ukuthi uma uNkulunkulu ekhethe ukuba kupheleliswe abantu abangelutho kanjalo, lokho kuyosho ukuthi izicukuthwane ziyoba nguNkulunkulu uqobo. Imibono yabo ingcoliswe ukungakholwa; impela, kude nokungakholwa, bayizilwane zasendle eziyiziphukuphuku. Ngoba ukuphela kwezinto abazazisayo isikhundla, ukuhlonishwa kanye namandla; into abayazisa kakhulu amaqembu namahlelo amakhulu. Abanandaba nhlobo nalabo abaholwa uKristu; bangamambuka nje afulathele uKristu, iqiniso kanye nokuphila.

Into oyazisayo akukhona ukuthobeka kukaKristu, kodwa abelusi bamanga abavelele. Awukuthandi ukuthandeka noma ukuhlakanipha kukaKristu, kodwa uthanda izifebe ezigcwele ezweni elikhohlakele. Uyabuhleka ubuhlungu bukaKristu ongenayo indawo yokufihla ikhanda Lakhe, kodwa uyazazisa lezo zidumbu zabantu ezidla iminikelo ziphile emanyaleni. Awuzimisele ngokuhlupheka kanye noKristu, kodwa uya ngenjabulo ezingalweni zalabo abangenanhliziyo abaphika uKristu ngoba bekunika okwenyama kuphela, amagama kuphela, nokulawula kuphela. Ngisho namanje inhliziyo yakho isaphendukela kubo, edumeleni labo, esikhundleni sabo, nasethonyeni labo. Kodwa wena usaqhubeka nesimo somqondo othola ngaso umsebenzi kaKristu ulukhuni ukwamukeleka futhi ungazimiseli ukuwamukela. Kungalesi sizathu ngithi aninalo ukholo lokuvuma uKristu. Isizathu esenza ukuthi nimlandele kuze kube manje ukuthi akukho okunye enaningakwenza. Uchungechunge. lwezithombe eziphakeme enhliziyweni yakho; ngeke ukwazi ukukhohlwa wonke amazwi nezenzo zazo, ngisho namazwi nezandla zabo okunethonya. Enhliziyweni yakho, bayohlale bephakeme futhi bengamaqhawe amakhulu. Kodwa akunjalo ngoKristu wanamuhla. Akabalulekile enhliziyweni yakho futhi akakufanele ukuhlonishwa. Ngoba ujwayeleke kakhulu, unethonya elincane kakhulu, futhi ukude kakhulu nokuphakama.

Noma kuyini-ke, ngithi bonke labo abangalihloniphi iqiniso bonke bangabangakholwa futhi nabakhapheli beqiniso. Abantu abanjalo abasoze bamukelwe uKristu. Ingabe manje usubonile ukuthi kungakanani ukungakholwa kuwe? Kungakanani ukukhaphela uKristu? Ngenxa yalokho ngiyaninxusa: Njengoba ukhethe indlela yeqiniso, kufanele uzinikele ngenhliziyo yakho yonke; ungabi mathinta-nyawo noma ube nenhliziyo engagcwele. Kufanele qonde ukuthi uNkulunkulu akayena owomhlaba noma owomuntu oyedwa, kodwa owabo bonke labo abakholwa Kuye ngeqiniso, bonke abamkhonzayo, nabo bonke abazinikele futhi abathembekile Kuye.

Okwamanje, kusekuningi ukungakholwa Phakathi kinina. Zamani ukuzihlolisisa ngaphakathi futhi nakanjani nizoyithola impendulo. Lapho uthola impendulo okuyiyona, uyobe usuvuma ukuthi awulona ikholwa likaNkulunkulu, kodwa ungumkhohlisi, ohlambalazayo, akhaphele uNkulunkulu futhi lowo ongethembekile Kuye. Usuyobona ukuthi uKristu akayena umuntu, kodwa unguNkulunkulu. Lapho kufika lolo suku, uyomhlonipha, umesabe, futhi umthande ngempela uKristu. Okwamanje, ukholo lwenu lusengamaphesenti angamashumi amathathu enhliziyweni yakho, bese amanye amaphesenti angamashumi ayisikhombisa aphethwe ukungabaza. Noma yisiphi isenzo esenziwe nomusho 0khulunywe uKristu kunganenza nibe nemicabango nemibono Ngaye. Le micabango nemibono kusuka ekungakholweni ngokuphelele kwenu Kuye. Nazisa futhi nesaba kuphela uNkulunkulu ongabonakali osezulwini, kodwa aninandaba noKristu. Ngabe nalokhu akukhona ukungakholwa kwakho? Nilangazelela kuphela uNkulunkulu owenza umsebenzi esikhathini esedlule kodwa anibhekani noKristu wanamuhla. Lezi zinto zihlale “ziwukholo” oluxubene ezinhliziyweni zenu olungakholwa kuKristu wanamuhla. Anginibukeli phansi, ngoba kunokukungakholwa okuningi kini, abaningi kini bangcolile futhi kumele bahlinzwe. Lokhu kungcola kuwuphawu lokuthi aninalo nhlobo ukholo; kuwuphawu lokuphika uKristu futhi luniveza njengabakhapheli bakaKristu. Lezi zinto ziyisembozo esifihla ulwazi lwenu ngoKristu, nomngcele ekuzuzweni uKristu, isithiyo esinenza ningafaneleki kuKristu, nobufakazi bokuthi uKristu akanamukeli. Manje yisikhathi sokuhlola zonke izinhlangothi ekuphileni kwenu! Ukwenza kanjalo kuyokuzuzisa ngazo zonke izindlela ongazicabanga!

Okwedlule: Kufanele Ufune Indlela Yokufanelana NoKristu

Okulandelayo: UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp