Ukusatshalaliswa Kwevangeli Lombuso KaNkulunkulu USomandla EChina

July 25, 2017

Ngowe-1995, kwaqala umsebenzi wokufakaza ngevangeli lombuso kaNkulunkulu uSomandla ngokugcwele eMainland eChina. Ngokubonga kwethu uNkulunkulu kanye nothando olwalungolweqiniso, safakaza ngokuzibonakalisa kanye nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla kubafowethu nodadewethu emabandleni nasemagatsheni ahlukahlukene. Sasingalindele ukubhekana nokungamukelwa okukhulu kanye nokudelelwa abaholi babo. Esasikwazi ukukwenza nje kwakuwukuza phambi kukaNkulunkulu uSomandla ngokukhuleka ngokuzinikela, sinxusa uNkulunkulu ukuthi asebenze kumuntu. Kusukela ngowe-1997 kuya phambili, senza umsebenzi kaMoya Oyingcwele kakhulu. Amalungu amabandla anda kakhulu ngokushesha ezindaweni ezinhlobonhlobo. Ngaso leso sikhathi, kwenzeka izimpawu nezimangaliso eziningi, futhi abantu abaningi basemabandleni nasemagatsheni amaningi babuyela kuNkulunkulu uSomandla ngenxa yokwamukela izambulo zikaNkulunkulu noma ukubona lezi zimpawu nezimangaliso. Ukuba uMoya Oyingcwele wawungasebenzanga, yini eyayingenziwa umuntu? Lokhu kwenza sibone ukuthi: yize siwaqonda amaqiniso, besingeke sikwazi ukufakaza ngoNkulunkulu uSomandla ngamandla ethu njengabantu kuphela. Emuva kokuba laba bantu basemabandleni nasemagatsheni anhlobonhlobo sebemamukele uNkulunkulu uSomandla, bavele babe nokuqinisekiseka ngoNkulunkulu uSomandla ezinhliziyweni zabo ngokudla nokuphuza kanye nokuthokozela izwi likaNkulunkulu uSomandla, futhi emuva kwesikhathi, kwavela ukukholwa nokuhlonipha kweqiniso kubo. Abantu basemabandleni nasemagatsheni ahlukene babe sebephakanyiselwa esihlalweni sobukhosi, futhi kwakungasalindelekile ukuthi "bahlangane neNkosi esibhakabhakeni" njengoba babecabangile.

Njengoba ivangeli lombuso laqala ukusabalala, sizingelwe futhi sahlushwa uhulumeni waseChina ngesihluku. Okunye okwaba buhlungu kakhulu, siye sazondwa, sabhecwa ngobubende inyama singayidlile, sagxekwa, futhi sachithwa Isonto lamaKhatholika kanye nawo wonke amabandla namagatsha amaKristu. Lokhu kwasikhathaza kakhulu, futhi sawubambezela umsebenzi wevangeli isikhathi eside. Njengoba sasibhekene nesimo esinje, sasingasakwazi okwakumele sikwenze; kwakungathi sizungezwe macala onke. Khona manjalo, sathethiswa: Sithokozele lokho kusindiswa okukhulukazi okuvela kuNkulunkulu futhi saqonda amaqiniso amaningi, kodwa singakwazi ukusabalalisa ivangeli. Nakanjani akusifanele ukuba ngofakazi baNkulunkulu, futhi sehluleke impela ukugcina imiyalelo Yakhe. Kulesi simo somqondo, sonke sasizizwela ukuthi sehlulekile emsebenzini wethu, singazi ukuthi kumele silandele muphi umzila, futhi singasazi ukuthi siziphendulele kanjani kuNkulunkulu - sasingazi nokuthi singabhekana kanjani nokugqugquzelwa nokuthenjwa uNkulunkulu. Sikhungathekile, sasiyizwa inhliziyo kaNkulunkulu isibiza futhi ibiza zonke izimvu Abefisa ukuzizuza. Ngakho, sonke siza kuNkulunkulu nezikweletu, nokuzisola, futhi somele ukukhululeka kuNkulunklu nokudalulela uNkulunkulu izinhliziyo zethu zonke: Nkulunkulu! Ngicela Usiphe amandla futhi usiphe ukuhlakanipha, ukuze sikwazi ukuthola izimvu Zakho. Sengathi intando Yakho ingaqhutshwa kithi futhi umbuso wevangeli lombuso Wakho usatshalaliswe. Sengathi izwi Lakho lingandisa abantu beze endlini Yakho. Nqobo uma sisabalalisa ivangeli Lakho, sizimisele ngokubhekana nokuhlupheka okukhulu, noma ngabe kumele sizinikele. Sikhulekela ukuthi Usiphe amanye amandla. Sizimisele ngokudidiyela ukuyala Kwakho isigaba nesigaba. O Nkulunkulu, ngoba isimo sethu sincane futhi asinawo amandla, ngeke sikwazi ukuqeda umsebenzi Wakho Osithume wona ngempumelelo. Sengathi ungabopha wonke lawo mandla avimbela ukusatshalaliswa kwevangeli Lakho, uqalekise amandla kasathane angasiwo Awakho, susa zonke izithiyo ezivimba ukusatshalaliswa kwevangeli Lakho, futhi usivulele indlela yokuphumelela." Sikholelwa ukuthi imikhuleko yethu ifinyelele ezindlebeni zikaNkulunkulu, ngoba isikhalo sethusasingemuva kwentando kaNkulunkulu futhi senziwa ngenxa yentando kaNkulunkulu. Esikhathini esingaside, uNkulunkulu wawenza impela umsebenzi omkhulu, owaletha injabulo nentokozo enkulu ebesingakaze siyizwe ngaphambilini. UNkulunkulu wasipha ubuhlakani futhi wasipha nokukholwa kanye namandla, ukuze umsebenzi wevangeli usabalale ngokushesha futhi ufinyelele ezingeni eliphezulu kakhulu. Omunye nomunye phakathi kwethu wayazi, futhi phezu kwalokho, sakholwa, ukuthi lokhu kwakuyizindaba ezinhle esazinikwa uNkulunkulu, futhi kwakuwukugqugquzelwa nguNkulunkulu futhi wasibuyisela ngakho. Sakhokhelwa ngokuhlupheka esadlula kukho. Ekujuleni kwezinhliziyo zethu, sasibonga kakhulu ngencazelo yeqiniso yamagama athi: “NguNkulunkulu kuphela ongenza umsebenzi Wakhe." uNkulunkulu akasenzelanga izinto zaba nzima, njengoba Engenzanga ukuthi sizizwe sinamahloni. Wenza ukuthi silingwe kancane nje ekuqaleni. Ngentokozo, sasibonga uNkulunkulu ngezeluleko, usizo, nokunakekela kanye nokuvikela kwakhe ngokuphuma ekujuleni kwezinhliziyo zethu. Khona manjalo, saphinde sabona ubukhulu bemisebenzi kaNkulunkulu kanye nokuhlonipheka kwesimo sikaNkulunkulu; phezu kwalokho, sabona ukulunga kukaNkulunkulu kanye nokungabekezeleli Kwakhe ukona komuntu, ngoba ngaso isikhathi sokusindisa umuntu, uNkulunkulu wajezisa inqwaba yezitha ezazingamamukeli. Phakathi kwabaholi bawo wonke amabandla ezifundazweni ezingama-24 kanye namadolobha akomasipala baseMainland China, kunezimo ezaziwayo zabantu abajeziselwa ukungamukeli, ukugxeka, kanye nokuthuka uNkulunkulu uSomandla. Isibalo siphindaphindeke kaningi kunaleso sabantu abajeziselwa ukungawamukeli umsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi seNkathi Yomthetho. Kuyabonakala ukuthi, ngezinsuku zokugcina, umuntu ubhekane uNkulunkulu. Abantu abaningi nenkohlakalo enkulu, futhi siveze ngokusobala ukungamamukeli bajezisiwe futhi banqunywa, okugcwalise isiphrofetho esiseBhayibhelini esithi “Baningi Ababiziweyo, Kepha Bayingcosana Abakhethiweyo.” Uma uMoya Oyingcwele ungazange uwenze umsebenzi ongaka, umuntu ngabe akanawo amandla okuqhuba umsebenzi wokusabalalisa ivangeli lombuso. Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, umsebenzi kaNkulunkulu kanye nomsebenzi wokusabalalisa ivangeli lombuso futhi wabhekana nokungamukelwa kanye nokuhlushwa okubuhlungu kusukela eqenjini elibusayo iChinese Communist Party, udrako omkhulukazi obomvu. Phezu kwalokho, kunabantu abangaphezu kwenkulungwane kusukela eSontweni likaNkulunkulu uSomandla ababoshiwe futhi bavalelwa ejele, futhi babhekana nokuhlushwa kanye nokuhlukunyezwa. Abantu abaningi babefuna futhi bezingelwa iChinese Communist Party; bengakwazi ukubuyela ekhaya, bakwazi ukuhamba kancane besebenzela uNkulunkulu. Kunabantu abaningi kakhulu abampintshwayo futhi abehluleka ukwenza umsebenzi wabo. Baningi kakhulu abalawulwa iChinese Communist Party futhi abangakwazi ukuphumela phandle kwemizi yabo. … Ekuphikisaneni nasekubhidlizeni umsebenzi kaNkulunkulu, umbuso kadrako omkhulukazi obomvu basesebenzise zonke izindlela futhi bachitha izinsiza zabantu eziningi kanye nezinsiza zemali. Yize kuqedwe izinsiza zokucekela phansi nezingezokungathembeki, akusoze kwaqeda amandla okuhamba komsebenzi kaNkulunkulu. UNkulunkulu uphendula zonke izinto ukuze zisebenzele ukugcwalisa intando Yakhe. Udrako omkhulukazi obomvu ungaphansi kohlelo lukaNkulunkulu, ulawulwa uNkulunkulu ukuze adideke kakhulu, angasabi nendlela yokuphuma. Kukaningi, udrako omkhulukazi obomvu ephuma umkhankaso wokubopha ezweni lilonke, kodwa uhlelo lwawo lwaphazanyiswa uhlelo lukaNkulunkulu; kukaningi, udrako omkhulukazi obomvu wayefuna ukwelula isandla sawo ukuze aqede iSonto likaNkulunkulu uSomandla, kodwa wangaphumelela; kukaningi, udrako omkhulukazi obomvu ezama ukuthatha isinyathelo esikhulu sokuqeda umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa wahluleka ngenxa yobukhulu nokushintsha izinto kukaNkulunkulu. Ezikhathini ezinjalo udrako omkhulukazi obomvu wayedinwe egane unwabu, kodwa engenamaqhinga ayengawenza. Ngakho kwakumele amukele ukuthi wayenamashwa—Izulu alisizi! Yizulu impela elinqoba iChinese Communist Party! Kusukela ekusabalaliseni ivangeli lombuso, sibhekele ubukhulu bukaNkulunkulu: Noma ngabe amandla kaSathane anonya kangakanani nokuthi ambumbene kangakanani ukuze aphikisane nomsebenzi kaNkulunkulu, akusho lutho lokho. Sekube iminyaka eyishumi noma ngaphezulu, ivangeli lombuso lisabalale kuyo yonke iMainland China. Izwi likaNkulunkulu kanye negama likaNkulunkulu lisabalale emizini engamakhulu ezigidi, futhi abantu abayizigidi sebengene ngaphansi kwegama likaNkulunkulu uSomandla. Phakathi kwamabandla anhlobonhlobo eMainland China, amaningi kuwo alandela iqiniso futhi afuna uNkulunkulu ngokweqiniso sebuyele phambi kukaNkulunkulu uSomandla. Izigidi zabantu zithokozela izwi likaNkulunkulu uSomandla, ukwamukela umsebenzi nokusindisa kukaNkulunkulu, kanye nokudumisa imisebenzi kaNkulunkulu emihle. UNkulunkulu senze iqoqo labanqobi eChina futhi sethole iqoqo labantu abanhliziyonye nabamqondomunye Naye. Lokhu kuvule indlela yokuthi uNkulunkulu avele emphakathini. Ekugcineni umsebenzi kaNkulunkulu uphethe ngenkazimulo. UNkulunkulu waqala ukuyala udrako omkhulukazi obomvu, emuva kwalokho Uzovela emphakathini kuzo zonke izizwe nezindawo ezweni.

Ngowe-1992, uNkulunkulu uSomandla—uKristu wezinsuku zokugcina—waqala ngokugcwele ukuphimisa izwi Lakhe nokukhuluma ngobuNkulunkulu obulandelayo. Uphimise amazwi ayizigidi futhi wanqobisisa futhi wasindisa abantu baNkulunkulu abakhethiwe eChina. Kwabe sekulandela ukwandiswa ngokushesha kobufakazi ngomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina eMainland China, kanye nomsebenzi kaMoya Oyingcwele uhambisana nabantu baNkulunkulu abakhethiwe. Abantu abaningi abakhulu basemabandleni anhlobonhlobo banqotshwa izwi likaNkulunkulu, bazisa ukuthi kwakuyizwi likaNkulunkulu lilonke kanye nokukholwa ngokugcwele. Izimvu zikaNkulunkulu zagcina sezilizwile izwi likaNkulunkulu futhi zabuyela phambi kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, uMoya Oyingcwele wenza inqwaba yezimpawu nezimangaliso, uhola abantu baNkulunkulu abakhethiwe ukuze babuyele endlini kaNkulunkulu uSomandla emabandleni anhlobonhlobo. Njengoba abantu baNkulunkulu abakhethiwe bebuya usuku nosuku, wonke amabandla awa futhi aphela nya, futhi kwaba sengathi wonke umhlaba wamakholwa wasewuqedwe nya.

Ngesikhathi sokusatshalaliswa kwevangeli lombuso, zonke izinhlobo zobubi nokuphikuKristu okwakuphika uNkulunkulu kwajeziswa ngokulungile uNkulunkulu uSomandla. Ngakho abantu babona ukujeziswa ngokuphikisana noNkulunkulu. Udrako omkhulukazi obomvu wazama ukuklinya nokuqeda umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa waphetha ngokwahluleka. Wonke amandla obubi ayephikisana noNkulunkulu enziwa ihlazo elikhulu, futhi ehluleka. Udrako omkhulukazi obomvu wagcina eseqede umsebenzi wawo futhi waqala ukuthola ukujeziswa uNkulunkulu. UNkulunkulu uSomandla wake wathi: "Ngabe umzonda ngempela udrako omkhulu obomvu? Ngabe umzonda ngokuqinisekileyo ngempela? Kungani ngikubuza kaningi kangaka? Enhliziyweni yakho yimuphi umfanekiso onawo ngodrako omkhulu obomvu? Ngabe ususiwe ngempela? Ngabe awumbizi “ngoyihlo”? Bonke abantu kumele baqaphele inhloso Yami emibuzweni Yami. Akusikho ukuvusa intukuthelo kubantu, noma ukubhebhethekisa ukuhlubuka kubantu, noma ukuze abantu bezokwazi ukuziphumela, kodwa kungukuvumela bonke abantu bazikhulule emaketangeni kadrako omkhulu obomvu. Kodwa akekho okumele akhathazeke. Konke kuzofezekiswa ngamazwi Ami; akekho umuntu ozoba nesandla, akekho umuntu ozokwenza umsebenzi engizowenza. Ngizosusa umoya womhlaba ngiwuhlanze bese ngiqeda nawokugcina amadimoni emhlabeni. Sengiqalile, sengizoqala isinyathelo Sami sokuqala somsebenzi Wami wokujezisa endaweni ehlala udrako omkhulu obomvu. Ngalokho kuzobonakala ukuthi isijeziso Sami siwele kuwo wonke umhlaba, nokuthi udrako omkhulu obomvu nazo zonke izinhlobo zomoya wobumnyama zizophelelwa amandla okubalekela isijeziso Sami, ngoba ngihlola wonke umhlaba. Uma usuphelile umsebenzi Wami emhlabeni, kulapho, isikhathi sokwahlulela sifika ekupheleni, ngizobe sengimjezisa udrako omkhulu obomvu. Abantu Bami bazobona ukujezisa Kwami okulungileyo kukadrako omkhulu obomvu, bazodumisa ngenxa yokulunga Kwami, baphakamise igama Lami elingcwele ngenxa yokulunga Kwami. Nizobe senenza umsebenzi wenu osemthethweni, futhi nizobe seningidumisa ngokusemthethweni emhlabeni wonke, kuze kube naphakade!

Uma isikhathi sokwahlulela sifika ekugcineni, angeke ngijahe ukuqeda umsebenzi Wami, kodwa ngizowudidiyela “nobufakazi” besikhathi sokujezisa, bese lobo bufakazi bubonwa yibo bonke abantu Bami; lokhu kuzothela izithelo ezinkulu. Lobu “bufakazi” yiyona ndlela engizojezisa ngayo udrako omkhulu obomvu, ngizokwenza ukuthi abantu Bami bambone ngamehlo abo ukuze bazokwazi kabanzi ngesimo Sami. Isikhathi abantu Bami abangithokozela ngaso yileso lapho udrako omkhulu obomvu esejezisiwe. Ukwenza abantu bakadrako omkhulu obomvu bamvukele bamuhlubuke kuyiqhinga Lami, kanti nendlela engiphelelisa ngayo abantu Bami, futhi yithuba elihle labo bonke abantu Bami lokuthi bakhule empilweni.

Ukusatshalaliswa kwevangeli lombuso sekufinyelele ezingeni okungakaze kufinyelelwe kulo ngaphambilini. Izigidi zabantu sezingene ngaphansi kwegama likaNkulunkulu uSomandla. Igama likaNkulunkulu uSomandla selisabalale kuyo yonke iMainland China, futhi amasonto kaNkulunkulu uSomandla abonakale kuzo zonke izifundazwe nezifunda. Bonke labo abamukele umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla bathokozela ukwelusa izwi likaNkulunkulu futhi babhekana nomsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa. Njengoba uNkulunkulu uSomandla athi: “Ngenza umsebenzi Wami emhlabeni jikelele, kanti eMpumalanga, ukuhlokoma akupheli, kunyakazisa wonke amabandla nezinkolo. Yizwi Lami elilethe abantu esikhathini samanje. Ngenze izwi Lami kube yilo elinqoba abantu; bonke bawela kulo mfudlana bese bezinikela Kimi, ngoba kade ngayibuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke ngayisa kabusha eMpumalanga. Ubani ongafisi ukubona inkazimulo Yami? Ubani ongalindile ngexhala ukubuya Kwami? Ubani ongakomele ukuvela Kwami futhi? Ubani ongabufuni ubuhle Bami? Ubani ongeke eze ekukhanyeni? Ubani ongeke akubone ukuceba kweKhanani? Ubani ongakufisi ukubuya koMhlengi? Ubani ongamthandi uSomandla Omkhulu? Izwi Lami kumele lisabalale emhlabeni wonke; ngifisa ukukhuluma kakhulu kubantu Bami abakhethiwe. Amazwi engiwakhulumayo anyakazisa izintaba nemifula njengokuduma okukhulu; ngikhuluma emhlabeni jikelele nakubantu. Yingakho amazwi Ami eba yigugu kubantu, bonke abantu bewazisa. Umbani uphazima usuka ngaseMpumalanga uye nangaseNtshonalanga. Amazwi Ami angendlela yokuthi abantu abafuni ukuwayeka futhi bawathola ejulile, kodwa phezu kwalokho, abantu bayathokoza ngawo. Njengosana oluzelwe, bonke abantu bayajabula bathokoze, bebungaza ukubuya Kwami. Ngenxa yezwi Lami, ngizoletha bonke abantu phambi Kwami. Emva kwalokho, ngizongena ngokomthetho kubantu ukuze bazongidumisa. Inkazimulo engiyilethayo namazwi Ami kwenza ukuthi bonke abantu beze phambi Kwami bese beyabona ukuthi umbani uphazima usuka eMpumalanga, nokuthi ngehlele “eNtabeni yemiNqumo” yaseMpumalanga. Bazobona ukuthi kade ngaba semhlabeni, angiseyona iNdodana yamaJuda kodwa uMbani waseMpumalanga. Ngoba kade ngavuswa ekufeni, ngasuka kubantu, ngabuye ngavela futhi kubantu ngenkazimulo. NgiNguye loyo owayekhonzwa kudala, “usana” olwalahlwa ngama-Israyeli kudala. Phezu kwalokho, nginguNkulunkulu uSomandla okhazimulayo wesikhathi samanje! Bonke abantu mabeze phambi kwesihlalo Sami sobukhosi bazobona inkazimulo yobuso Bami, bezwe izwi Lami, babuke nemisebenzi Yami. Lokhu yintando Yami ephelele; kungukuphela novuthondaba lohlelo Lwami, kanye nenhloso yokuphatha Kwami. Izizwe zonke mazingidumise, zonke izilimi zingivume, bonke abantu bangithembe, bonke abantu bancike Kimi!”

Umsebenzi kaNkulunkulu eMainland eChina uphethe ngenkazimulo. UNkulunkulu sezovela emphakathini kuzo zonke izizwe nezindawo. Labo abakuzo zonke izizwe nezindawo abalangazelele ukuvela kukaNkulunkulu babengakaze baphuphe ngoNkulunkulu ababelangazelela ukuthi avele emphakathini ukuthi wasefikile eChina sinyenyela futhi waqhuba isigaba somsebenzi wokufuna nokusindisa. Kunabantu abaningi abasagxeka umsebenzi kaNkulunkulu eChina, futhi baningi kakhulu abantu abasahlambalaza uMoya Oyingcwele lapha. Kuyothi uma uNkulunkulu esevela emphakathini bayophaphama ephusheni, futhi bagcwale ukuzisola: Ngangingakaze ngiphuphe ukuthi uNkulunkulu uSomandla engangingamamukeli nguye oyiNkosi uJesu osebuyile futhi. Kodwa ngaleso sikhathi bayokhala futhi kube nokugedla kwamazinyo. Lokhu kungukugcwaliswa kwamazwi akuSambulo eBhayibhelini: "Bhekani, uyeza ngamafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila Ngaye." Ukwahlulela kwesihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe sekuqalile ekugcineni.

UNkulunkulu uSomandla wathi: “Embusweni, izinto eziningi ezidaliwe ziqala ukuphinde zisebenze futhi ziphinde zithole amandla azo okuphila. Ngenxa yokuguquka kwezimo zomhlaba, imingcele phakathi kwamazwe nayo iqala ukuguquka. Ngangiphrofethile ngaphambili: Lapho izwe lihlukanisiwe kwelinye, futhi izwe lihlangana nelinye, leso kuyoba yisikhathi sokuba ngiphihlize izizwe zibe yizicucu. Ngalesi sikhathi, ngizovuselela yonke indalo futhi ngihlukanise kabusha imbulunga yonke, ngaleyo ndlela ngenze imbulunga ihleleke, ngenze isimo sayo esidala sibe sisha. Lolu uhlelo Lwami. Le yimisebenzi Yami. Lapho izizwe nabantu bomhlaba wonke bebuyela phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, ngizothatha izinto zasezulwini eziningi ngizilethe emhlabeni wabantu, ukuze, ngenxa Yami, ugcwale izinto eziningi ezingenakuqhathaniswa. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngijezise noma ubani oyiphulayo:Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uzolizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela esijezisweni Sami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga:

kuzovuselelwa isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhulekela Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhuleka kuSathane bazolothiswa umlilo Wami ovuthayo-okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngijezisa abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza “koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe.” Bonke abantu bayolandela izinhlobo zabo, futhi bayojeziswa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingangibandakanyi Mina, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo.”

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp