Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu

Bonke abantu badinga ukuqonda inhloso yomsebenzi Wami emhlabeni, okungukuthi, injongo yokugcina yomsebenzi Wami kanye nezinga ekumele ngifinyelele kulo kulo msebenzi ngaphambi kokuba ungaqedwa. Uma, emva kokuhamba nami kuze kube kulolu suku, abantu bengaqondi ukuthi umsebenzi Wami umayelana nani, lokho akusho ukuthi bekuyize ukuhamba Nami? Abantu abahamba Nami kumele bayazi intando Yami. Sengisebenze emhlabeni izinkulungwane zeminyaka, futhi kuze kube namuhla ngisenza umsebenzi wami ngale ndlela. Yize kukhona izinto ezininginingi ezitholakala emsebenzini Wami, inhloso yawo ilokhu ingaguqukile. Njengoba nje, ukwenza isibonelo, noma ngigcwele ukwehlulela nokusola okubhekiswe kumuntu, engikwenzayo kusengenxa yesizathu sokumsindisa, nangenhloso yokusabalalisa kangcono ivangeli Lami, nokwandisa umsebenzi Wami phakathi kwabo bonke abeZizwe ngemuva kokuthi umuntu enziwe waphelela. Ngakho-ke namuhla, esikhathini lapho abantu abaningi bedumele kakhulu emathembeni abo, ngisaqhubeka nomsebenzi Wami, ngiqhuba umsebenzi ekumele ngiwenze ukwehlulela nokusola umuntu. Phezu kokuthi umuntu ukhathele yinto engiyishoyo nangaphandle kokuthi akanasifiso sokukhathalela umsebenzi Wami, ngisaqhubeka nokwenza umsebenzi Wami ngoba inhloso yomsebenzi Wami ayikaguquki futhi nohlelo Lwami lwasekuqaleni alusoze lwabhidlika. Umsebenzi wokwahlulela Kwami ukwenza umuntu angilalele kangcono, nomsebenzi wokusola Kwami ukuvumela umuntu ukuba aguquke ngokunomthelela ongcono. Nakuba engikwenzayo kungenxa yokuphatha Kwami, angikaze ngenze noma yini engeyona inzuzo kumuntu. Lokhu kungoba ngifuna ukwenza zonke izizwe ngaphandle kuka-Israyeli zilalele njengama-Israyeli futhi ngizenze abantu bangempela, ukuze ngibe nendawo emazweni angaphandle kuka-Israyeli. Lokhu ukuphatha Kwami; kungumsebenzi engiwufezayo emazweni abeZizwe. Namanje, abantu abaningi abakakuqondi ukuphatha kwami ngoba abanandaba nalezi zinto, esikhundleni salokho bakhathalele kuphela ikusasa labo kanye nalapho beya khona. Noma ngingathini, abantu abanandaba nomsebenzi engiwenzayo, banaka kuphela isiphetho zabo esikhathini esizayo. Uma izinto ziqhubeka ngale ndlela, umsebenzi Wami ungakhula kanjani? Ivangeli Lami lingasabalaliswa kanjani emhlabeni wonke? Kumele nazi ukuthi lapho umsebenzi Wami wanda, ngizonihlakaza, futhi Ngizonishaya njengoba nje uJehova ashaya izizwe zakwa-Israyeli. Konke lokhu kuzokwenziwa ukuze ivangeli Lami lisabalale emhlabeni wonke, nokusabalalisa umsebenzi Wami kubantu beZizwe, ukuze igama Lami lidunyiswe ngabadala nezingane ngokufanayo, negama Lami elingcwele liphakanyiswe emilonyeni yabantu bakuzo zonke izinhlanga nezizwe. Kungenxa yokuthi kulesi sikhathi sokugcina, igama Lami liphakanyiswe phakathi kwabantu beZizwe, ukuba izenzo Zami zibonwe abeZizwe futhi bangibize ngoSomandla ngenxa yezenzo zami, bese amazwi Ami enzeke ngokushesha. Ngizokwenza bonke abantu bazi ukuthi angisiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, kodwa futhi uNkulunkulu wabo bonke abantu beZizwe, ngisho nezizwe engiziqalekisile. Ngizokwenza bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu wayo yonke indalo. Lona ngumsebenzi Wami omkhulu kakhulu, inhloso yohlelo lomsebenzi Wami ezinsukwini zokugcina, futhi yiwona kuphela umsebenzi okumele ufezwe ngezinsuku zokugcina.

Umsebenzi ebengiwuphethe izinkulungwane zeminyaka wembulwe ngokuphelele kumuntu ezinsukwini zokugcina nje kuphela. Kumanje kuphela lapho ngembule yonke imfihlakalo yokuphatha Kwami. Umuntu uyayazi inhloso yomsebenzi Wami futhi, ngaphezu kwalokho, usethole ukuqonda ngazo zonke izimfihlakalo Zami. Futhi umuntu ngimtshelile yonke into ngesiphetho akhathazeke ngaso. Sengimvezelile umuntu izimfihlo ebezisithakele ngaphezu kwezi-5,900 zeminyaka. Ngubani uJehova? Ngubani uMesiya? Ngubani uJesu? Kumele nibazi bonke laba. Umsebenzi Wami uzungeza kula magama. Nikuqondile lokho? Kufanele limenyezelwe kanjani igama Lami elingcwele? Kufanele lisatshalaliwe kanjani igama Lami kunoma isiphi isizwe esezingimemezile ngelinye lamagama Ami? Umsebenzi Wami ususendleleni yokwanda, futhi ngizosabalalisa ukugcwala kwawo kuzo zonke izizwe. Njengoba umsebenzi Wami wenziwe kini, ngizonishaya njengoba uJehova ashaya abelusi bendlu kaDavide kwa-Israyeli, nginenze nisabalale kuzo zonke izizwe. Ngoba ezinsukwini zokugcina, ngizobhubhisa zonke izizwe futhi ngenze abantu bazo basabalaliswe kabusha. Mhla sengibuya futhi, izizwe zizobe sezahlukanisekile ngemingcele ebekwe ngamalangabi Ami avuthayo. Ngaleso sikhathi ngiyoziveza kabusha kumuntu njengelanga elingqongqisayo, ngizibonakalise kubona obala ngomfanekiso woNgcwele abangakaze bawubone, ehamba phakathi kwezizwe eziningi, njengoba Mina, Jehova, ngahamba phakathi kwezizwe zamaJuda. Kusukela lapho kuya phambili, ngizobahola abantu ezimpilweni zabo emhlabeni. Bazoyibona nakanjani inkazimulo Yami baphinde babone insika yefu emoyeni ukubahola ezimpilweni zabo, ngoba ngizovela ezindaweni ezingcwele. Umuntu uzolubona usuku Lwami lokulunga nokubonakaliswa Kwami okukhazimulayo. Lokho kuzokwenzeka mhlazane ngibusa kuwo wonke umhlaba ngiphinde ngilethe amadodana Ami amaningi enkazimulweni. Bonke bazokhothama kuyo yonke indawo emhlabeni, kuthi nethabanekeli Lami lizomiswa liqine phakathi kwesintu, phezu kwedwala lomsebenzi engiwenzayo namhlanje. Abantu futhi bazongikhonza ethempelini. I-altare, eligcwele ukungcola, izinto ezizondekayo, ngizolidiliza libe zicucu bese ngilakha kabusha. Amawundlu azelwe namathole ayonqwatshelwa phezu kwe-altare elingcwele. Ngizobhidliza ithempeli lanamuhla bese ngakha elisha. Ithempeli elimile manje, eligcwele abantu abayisinengiso, lizobhidlika, futhi lelo engizolakha lizogcwala izinceku ezithembekile Kimi. Zizophinda futhi zime zingikhonze ngenxa yenkazimulo yethempeli Lami. Nakanjani nizolubona usuku engiyothola ngalo inkazimulo enkulu, nani nakanjani niyolubona usuku lapho ngibhidliza khona ithempeli ngiphinde ngakhe elisha. Futhi niyolubona nakanjani usuku lokuza kwethabanekeli Lami emhlabeni wabantu. Lapho ngibhidliza ithempeli, kanjalo ngiyoletha ithabanekeli Lami emhlabeni wabantu, lapho nje bebona ukwehla Kwami. Ngemuva kokuchitha zonke izizwe, ngiyophinda ngizihlanganise ndawonye kabusha, kusuka lapho ngakhe ithempeli Lami futhi ngimise i-altare Lami, ukuze bonke balethe imihlatshelo Kimi, bangikhonze ethempelini Lami, baphinde bazinikele ngokuthembeka emsebenzini Wami kubantu beZizwe. bayoba njengama-Israyeli anamuhla, begqoke ingubo yompristi nomqhele, nenkazimulo Yami, Mina Jehova, iphakathi kwabo nobukhosi Bami buphezu kwabo futhi buhlezi nabo. Umsebenzi Wami kwabeZizwe nawo uzokwenziwa ngendlela efanayo. Njengoba umsebenzi Wami wawunjalo kwa-Israyeli, nakubantu beZizwe uyoba njalo ngoba ngizokwandisa umsebenzi Wami kwa-Israyeli ngiphinde ngiwusabalalisele kwabeZizwe.

Manje sekuyisikhathi lapho umoya Wami wenza izinto ezinkulu, futhi yisikhathi lapho ngisebenza phakathi kwabeZizwe. Ikakhulu, sekuyisikhathi lapho ngihlela yonke indalo ngibeka omunye ngamunye esigabeni esifanele ukuze umsebenzi Wami uqhubeke ngokushesha nangempumelelo enkulu. Ngakho-ke, engikucela kuwe kusengukuba uzinikele ubuwena bonke kuwo wonke umsebenzi Wami; ukwedlula lokho, kumele ukwazi ukuhlukanisa futhi uqiniseke ngemisebenzi yonke engiyenze kuwe, uphinde ufake wonke amandla wakho emsebenzini Wami ukuze ube nempumelelo enkulu. Yiko lokhu okumele ukuqonde. Gwemani ukuxabana nodwa, bhekani izindlela zezisombululo, okanye ukubheka ukubheka indlela yokuphindela emuva noma ukufuna ukuthokomala kwenyama, okuyinto ezobambezela umsebenzi Wami futhi yone ikusasa lakho eliqhakazile. Ukuwenza kanjalo ngale kokukukunikeza ukuvikeleka kuzokulethela imbubhiso. Ngeke lokhu kube ubuphukuphuku bakho? Lokhu okuthokozela ngomhobholo namuhla yikho kanye lokhu okona ikusasa lakho, kanti ubuhlungu ophila ngaphansi kwabo namhlanje ibona kanye lobu obukuvikelayo. Kufanele uzibone ngokucacile lezi zinto, ukuze ugweme izilingo ozocindizeleka ukuba uphunyuke kuzo nokuba ugweme ukwedukela enkungwini esindayo nokungakwazi ukuthola ilanga. Uma le nkungu esindayo icwengeka, uyozithola usekwahlulelweni kosuku olukhulu. Ngaleso sikhathi, usuku Lwami luyobe selufikile kumuntu. Uyokubalekela kanjani ukwahlulela Kwami? Uyokwazi kanjani ukumelana nokushisa okungqongqisayo kwelanga? Uma nginikezela umuntu inala Yami akayilondolozi esifubeni sakhe, kodwa kunalokho uyilahla kude ezindaweni okungekho muntu oyoyibona khona. Lapho usuku Lwami lwehlela kumuntu, ngeke esakwazi ukuthola inala Yami noma athole amazwi ababayo eqiniso engalikhuluma kuye kudala. Uyokhala alile, ngoba ulahlekelwe ukugqama kokukhanya wayesewela ebumnyameni. Lokhu enikubona namuhla kuyinkemba nje ebukhali yomlomo Wami. Anikayiboni induku esesandleni Sami noma ilangabi engishisa ngalo umuntu, futhi yingakho nisaqhosha niphinde ningazithibi ebusweni Bami. Yingakho nisalwa Nami endlini Yami, niphikisa ngolimi lomuntu lokhu engikukhulume ngomlomo Wami. Umuntu akangesabi, futhi nakuba eqhubeka nokuba nobutha nami kuze kube namhlanje, ulokhu engenakho nhlobo ukwesaba. Ninolimi namazinyo alabo abangalungile emilonyeni yenu. Amazwi nezenzo zenu afana nawenyoka eyayengela u-Eva ekoneni. Nifuna komunye nomunye iso ngeso nezinyo ngezinyo futhi nilwa ebukhoneni Bami ukuzihlwithela izikhundla, udumo nenzuzo, kodwa anazi ukuthi ngiyawabuka ngasese amazwi nezenzo zenu. Ngaphambi kokuba nifike ebusweni Bami, senginazi ekujuleni kwezinhliziyo zenu. Umuntu uhlale efisa ukuphunyuka ekubambeni kwesandla Sami, agweme ukubuka kwamehlo Ami, kodwa angikaze ngiwagweme amazwi noma izenzo zakhe. Kunalokho, ngiyavuma ngenhloso ukuba zifinyelele emehlweni Ami ukuze ngisole ukungalungi ngiphinde ngahlulele ukuhlubuka kwakhe. Kanjalo, amazwi nezenzo zomuntu ezifihliwe zihlala zibekwe phambi kwesihlalo sokwahlulela, futhi ukwahlulela Kwami akukaze kusuke kumuntu, ngoba ukuhlubuka kwakhe kukhulu kakhulu. Umsebenzi Wami ukushisa ngiphinde ngihlambulule wonke amazwi nezenzo zomuntu ezashiwo futhi zenziwa ebukhoneni boMoya Wami. Ngale ndlela,[a] uma sengishiya umhlaba, abantu basayoqhubeka nokwethembeka Kimi, futhi basayongikhonza njengoba izinceku Zami ezingcwele zenza umsebenzi Wami, zivumela umsebenzi Wami emhlabeni ukuba uqhubeke kuze kufike usuku lapho usuqediwe khona.

Imibhalo yaphansi:

a. umbhalo wokuqala awunawo amagama athi “Ngale ndlela.”

Okwedlule: Umsindisi Usebuyile “Esefwini Elimhlophe”

Okulandelayo: Nonke Nibabi Kakhulu Ngokwesimilo!

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp