Nonke Nibabi Kakhulu Ngokwesimilo!

Nonke nihlezi ezihlalweni zikanokusho, nishumayeza labo abayizizukulwane ezisencane abawuhlobo lwenu futhi nibahlalisa nani. Anazi ukuthi “inzalo” yenu kade yaphelelwa umoya yalahlekelwa umsebenzi Wami. Udumo Lwami lukhazimula lusuka ezweni laseMpumalanga luya ezweni laseNtshonalanga, kodwa uma udumo Lwami lusabalala luya emaphethelweni omhlaba nalapho luqala luphakama lukhazimula, ngizosusa udumo Lwami lwaseMpumalanga ngilulethe eNtshonalanga ukuze laba bantu bobumnyama eMpumalanga asebengihlamukile bangabi nakho ukukhazimula kokukhanya kusukela manje kuya phambili. Ngaleso sikhathi, niyohlala esigodini sethunzi. Yize noma abantu namuhla bengcono ngokuphindwe kayikhulu kunakuqala, namanje abakakwazi ukuhlangabezana nezimfuno Zami, futhi namanje abakabi ngubufakazi Bami obukhazimulayo. Ngisho nokuthi niyakwazi ukuba ngcono ngokuphindwe kayikhulu kangcono kunakuqala kungumphumela womsebenzi Wami ngokuphelele—kuyizithelo ezivela emsebenzini Wami emhlabeni. Noma kunjalo, ngisazithola nginokuwenyanya amazwi nezenzo zenu, nesimilo senu, futhi ngizwa nginokucasuka ngenxa yezenzo zenu phambi Kwami, ngoba aninakho nakancane ukuqonda Ngami. Pho ningaba kanjani ngabaphilayo ngaphandle kodumo Lwami, futhi ningathembeka kanjani ngokuphelele emsebenzini Wami wesikhathi esizayo? Ukholo lwenu luhle kakhulu; nithi nizimisele ukuzikhandla yonke impilo yenu egameni lomsebenzi Wami, nokuthi nizimisele ukunikela ngokuphila kwenu ngenxa yawo, kodwa isimo senu asikashintshi kangako. Bekungamagama nje okuzikhukhumeza, kodwa izenzo zenu zimbi kakhulu. Kubonakala sengathi ulimi nezindebe zomuntu zisezulwini kodwa imilenze ikude le emhlabeni, ngakho amazwi akhe nezenzo kanjalo negama lakhe kusesesimweni esibi kakhulu. Igama nesithunzi senu sicekeleke phansi, isithunzi senu sehlile, indlela enikhuluma ngayo iyihlazo, nempilo yenu iyanyanyisa, bonke ubuntu benu buphansi. Izingqondo zenu zincane anibacabangeli abanye futhi nixabanela nezinto ezincane. Nilwela izikhundla nokuthathelwa phezulu, ningaze niyophonseka esihogweni, phakathi echibini lomlilo. Amagama enu amanje nezenzo kwanele ukuba nginibale njengabagcwele isono. Indlela enithatha ngayo umsebenzi Wami yanele ukuba nginibone ukuthi ningabangalungile, futhi izimo zenu zonke zanele ukuba ngithi imiphefumulo yenu ingcolile futhi igcwele izinengiso. Enikwenzayo kanye nenikwambulayo kwanele ukuba kungathiwa ningabantu abaphuze igazi eliningi lemimoya engcolile. Uma kukhulunywa ngokungena embusweni ngako anikwazi ukufihla imizwa yenu. Niyakholwa ukuthi indlela eniyiyona yanele ukuba ningene emasangweni ombuso Wami wezulu? Niyakholwa ukuthi ningathola ukungena ezweni elingcwele lomsebenzi Wami namagama ngaphandle kwamagama enu nezenzo zenu zithola ukuhlolwa Yimi? Ubani okwazi ukukhohlisa ngempumelelo amehlo Ami womabili? Kungenzeka kanjani ukuthi ukuziphatha nezingxoxo zenu ezimbi nezinyanyekayo ziphunyuke emehlweni Ami? Izimpilo zenu ngizibone njengezimpilo zokuphuza igazi laleyo mimoya engcolile nokudla inyama yaleyo mimoya engcolile ngenxa yokuba niya ngokuya nifana nayo phambi Kwami zonke izinsuku. Emehlweni Ami ukuziphatha kwenu kwakukubi kakhulu, pho ngingathini ukunganengeki? Kwenikushoyo kunobubi bemimoya engcolile: Niyakhohlisa, nifihle, niphinde niyenge njengabathakathayo, futhi ninjengalabo abakhohlisayo nabaphuza igazi lokungalungi. Zonke izenzo zabantu azilungile kakhulu, pho kungenzeka kanjani ukuthi bonke abantu babekwe ezweni elingcwele lapho kunabalungile khona na? Ucabanga ukuthi lokho kuziphatha kwakho okunyanyisayo kungakutomula njengongcwele kulabo abangalungile? Ulimi lwakho olunjengolwenyoka luzogcina lucekele phansi inyama yakho eletha umonakalo yenze nezenzo eziyisinengiso, kanye nalezo zandla zakho ezigcwele igazi lemimoya engahlanzekile nazo zizogcina zidonsele umphefumulo wakho esihogweni, pho kungani ungagxumeli leli thuba lokuhlanza izandla zakho ezigcwele ukungcola? Futhi kungani ungathathi leli thuba uhlukane lalolu limi lwakho olukhuluma amazwi angenako ukulunga? Kungenzeka ukuthi uzimisele ukuzwa ubuhlungu ngaphansi kwamalangabi asesihogweni ngenxa yezandla zakho ezimbili nolimi nezindebe? Ngibhekelela izinhliziyo zabo bonke abantu ngamehlo Ami amabili ngoba kudala ngaphambi kokudala abantu, ngangiphethe izinhliziyo zabo ezandleni Zami. Kudalo ngakwazi ukuyibona kahle inhliziyo yomuntu, pho kungenzeka kanjani ukuthi inhliziyo yomuntu icashele amehlo Ami? Futhi bangaba kanjani esikhathini sokubalekela ukuvutha koMoya Wami?

Izindebe zakho zinomusa kunamajuba kodwa inhliziyo yakho yimbi ngaphezu kwenyoka yamandulo, ngisho nezindebe zakho zinhle kunezowesifazane waseLebhanoni, kodwa inhliziyo yakho ayinamusa kunaleyo yowesifazane waseLebhanoni futhi-ke ingefaniswe nobuhle babaseKhenani. Inhliziyo yakho inenkohliso enkulu! Engikuzonda kakhulu yizindebe kuphela zokungalungi nezinhliziyo zokungalungi. Izindinganiso zami kubantu azingaphezu kwezabangcwele, ukuthi nje ngizizwa nginenzondo ngezenzo ezimbi zabangalungile futhi ngifisa ukuba abangalungile bangase bakwazi ukuxosha ukungcola kwabo baphume babaleke kule ndida ekhona ukuze bakwazi ukuzehlukanisa nalabo abangalungile, baphile kanye futhi babe ngcwele nalabo abalungile. Nisesimweni esifanayo nami, kodwa nembozwe ukungcola, akukho nenswebu encane kinina yalaba bantu abadalwa ekuqaleni, futhi ngenxa yokuthi zonke izinsuku nilinganisa leya mimoya engcolile futhi nenza niphinde nisho lokho ekushoyo, yonke ingxenye yenu ngisho nolimi nezindebe zenu zicwile emanzini ayo angcolile. Sekufinyelele ephuzwini lokuthi nimabhadubhadu yilawo mabala ndawo yonke akusekho nengxenye encane engasetshenziselwa umsebenzi Wami. Kuyadabukisa kakhulu! Niphila emhlabeni wamahhashi nezinkomo kodwa aninayo inkathazo; nigcwele injabulo futhi niphila ngokukhululeka nakalula. Niyabhukuda niyatshuza kula manzi angcolile kodwa empeleni anazi ukuthi niwele kulezi zimo. Zonke izinsuku uhlangana nemimoya engcolile ube nesivumelwano “nendle.” Impilo yakho isezingeni eliphansi kakhulu, kodwa awuazi nhlobo ukuthi awusaphili emhlabeni wabantu nokuthi impilo yakho ayisekho ezandleni zakho. Awazi ukuthi impilo yakho kade yagxotshwa yimimoya engcolile, nokuthi isimilo sakho kade sangcoliswa ngamanzi anukayo? Ingabe ucabanga ukuthi uphila epharadesi lasemhlabeni, ukuthi uphakathi kwenjabulo? Bewazi yini ukuthi uphile impilo nemimoya engcolile, nokuthi uphile impilo ngayo yonke into oyilungiselelwe yiyona? Impilo yakho ingaba kanjani nokubaluleka? Impilo yakho ingaba kanjani nenani elibalulekile? Selokhu umatasa wehla nenyuka uthunywa ngabazali bakho bemimoya engcolile, kuze kube manje, kodwa awazi ukuthi labo abakuphambayo yiyo leyo mimoya engcolile, abazali bakho abakuzala bakukhulisa. Phezu kwalokho, awazi ukuthi ukungcola kwakho empeleni wakunikezwa yibona; okwaziyo nje ukuthi bangakunikeza “injabulo,” abakukhuzi, futhi abakwahluleli, futhi ke abakuqalekisi. Abakaze babhambaluke ngolaka kinina, kodwa baniphatha kahle nangomusa. Amazwi abo anonophalisa inhliziyo yakho akuthathekise ukuze ukhathazeke ungaboni nokubona, uthunjwa ubhekile futhi uvuma ukuba ubasebenzele, ube yindlela yabo nesisebenzi sabo. Awukhalazi nhlobo kodwa uzimisele ukusetshenziswa yibona—ukhohliswa yibona. Ngenxa yalesi sizathu, awusabeli nakancane ngomsebenzi engiwenzayo—akumangazi ukuthi ufuna ukumonyuluka uphume esandleni Sami, futhi akumangazi ukuthi ngaso sonke isikhathi ufuna ukusebenzisa amazwi amnandi ukuze nithole umusa Wami ngezindlela ezingalungile. Kuvela ukuthi unamanye amacebo, ezinye izinhlelo. Ungabona okuncanyana Kwami, izenzo zikaSomandla, kodwa awazi nokuncane kokwahlulela nokujezisa Kwami. Awazi ukuthi kwaqala nini ukujezisa Kwami; wazi nje kuphela ukungiphanga, kodwa awazi ukuthi angikubekezeleli ukoniwa ngabantu. Njengoba sewuvele uzimisele ukungisebenzela, ngeke ngisakudedela. NginguNkulunkulu ozondayo okubi, nginguNkulunkulu onomhawu ngomuntu. Njengoba sewuvele sewubekile amazwi akho phambi kwe-altare, ngeke ngisabekezelela ukuba usuke phambi kwamehlo Ami, futhi ngeke ngibekezelele ukuba ukhonze amakhosi amabili. Benicabanga ukuthi uzophinde uthande abanye emva kokubeka amazwi akho phambi kwe-altare Lami, emva kokuba uwabeke phambi kwamehlo Ami? Ngingavumela kanjani abantu bangenze isiwula ngaleyo ndlela? Ingabe ucabanga ukuthi ungenza izifungo nje Kimi ngolimi lwakho? Ungafunga kanjani ngesihlalo Sami sobukhosi, Mina Ophakeme Kakhulu? Ingabe ucabanga ukuthi izifungo zakho sezidlulile? Ngiyanitshela, noma inyama yenu ingadlula emhlabeni, izifungo zenu azikwazi ukudlula. Ekugcineni, ngizonilahla ngokusekelwe ezifungweni zenu. Yize noma kunjalo nicabanga ukuthi ningabeka nje amazwi phambi Kwami ukuze nibhekane Nami kanye nokuthi izinhliziyo zenu zingasebenzela imimoya engcolile nemibi. Ulaka Lwami lungabekezelela kanjani abantu abaphila njengezinja, nanjengezingulube abangiphangayo? Kufanele ngiqhube izimemezelo Zami zokuphatha, ngimuke ezandleni zemimoya engcolile bonke labo abazazisayo “abangcwele” abakholwa Kimi ukuze “bangilinde” ngendlela eqoqekile, ukuba babe inkabi Yami, ihhashi Lami futhi babe semseni wokuhlinzwa Yimi. Ngizokusiza ubuyisele lokho kuzimisela kwangaphambili uphinde ungisebenzele futhi. Ngeke ngibekezelele nasiphi na isidalwa ukuba singiphange. Ubucabanga ukuthi ungavele uphonse izicelo noma kanjani uphinde ungiqambele amanga noma yikanjani nje? Ubucabanga ukuthi angizwanga noma angibonanga izenzo zakho? Kungenzeka kanjani ukuthi amagama nezenzo zakho zifihleke emehlweni Ami? Ngingavumela kanjani abantu bangiphange ngaleyo ndlela?

Selokhu ngiphakathi kwenu, ngizimatanisa nani izintwasahlobo namakwindla amaningana, ngihlale phakathi kwenu isikhathi eside, ngihlale nani—zingakanani izenzo zenu ezinyanyisayo ezingazange zibonwe amehlo Ami? Lawo mazwi asuka ekujuleni kwenhliziyo alokhu enkenteza ezindlebeni Zami; izigidi nezigidi zezintshisekelo zenu zinekwe phambi kwe-altare Lami—azibaleki nokubaleka. Kodwa ukuzinikela kwenu kanye nalokho enikwenzayo, akukho nokuncane. Akukho ngisho neconsi lokuzithoba elivela kinina e-altare Lami. Ziphi izithelo zokholo lwenu Kimi? Nithole umusa ongenamkhawulo Kimi futhi nibone izimfihlakalo ezingabaleki ezivela ezulwini, futhi ngize nganibonisa namalangabi ezulu angikakabi naso isibindi sokuvuthisa izinhliziyo zenu, kodwa pho nina ninginikezeni njengembuyiselo yalokho? Kungakanani enizimisele ukunginikeza kona? Ubambe ukudla engikunike kona, uyaphenduka ukunikeze Mina, uze uthi kuyizinto ozithole ngenxa yezithukuthuku zomsebenzi wakho onzima, ukuthi unikela konke onakho Kimi. Kungenzeka kanjani ungazi ukuthi “iminikelo” yakho Kimi yizo zonke izinto ezintshontshwe e-altare Lami? Futhi manje sewunikeza Mina lokho—awungiphangi na? Kwenzeka kanjani ukuthi ungazi ukuthi konke lokho engikuthokozelayo namuhla yiminikelo ese-altare Lami, hhayi lokho okuzuzile ngomsebenzi wakho wokuzikhandla wase ukunikela Kimi? Unesibindi sokungiphanga ngale ndlela, pho ngingakuxolela kanjani? Ngingaqhubeka kanjani nokubekezela lokhu? Nginikeze yonke into kuwe. Angikugodlelanga lutho, ngihlinzeke izidingo zakho, futhi ngivule amehlo akho, kodwa noma kunjalo ungiphangile ngale ndlela, waziba unembeza wakho. Ngikuphe konke ngokungazigodleli lutho Kimi, ukuze kuthi noma uhlupheka, ube uthole konke Kimi konke engivela nakho ezulwini. Kodwa akukho ongipha kona nhlobo, yize noma unomnikelo omncanyana, unginikeza emva kwalokho. Ngeke yini umnikelo wakho ube okuthile? Lokho onginikeze kona akulutho ngaphezu kwenhlayiya eyodwa yesihlabathi, kodwa okucele Kimi yizindodla zegolide. Ingabe kufanele ngempela lokhu okwenzayo? Ngisebenza phakathi kwenu. Akukho ngisho namaphesenti ayishumi okufanele ngiwathole, angisakhulumi ngeminikelo eyengeziwe. Phezu kwalokho, lokho okweshumi okubuyiswayo yilabo abangcwele kuphucwa yilabo ababi. Ingabe nonke nisabalele nahlukana Nami? Ingabe nonke aniphikisani Nami? Ingabe ninonke anibhidlizi i-altare Lami? Kungenzeka kanjani ukuthi uhlobo lomuntu olunjena lubonakale njengomcebo emehlweni Ami? Ingabe abazona izingulube, izinja engizinyanyayo? Ngingabiza kanjani ukwenza kwakho kwezenzo ezimbi ngomcebo? Umsebenzi Wami ungokabani empeleni? Kungenzeka ukuthi kungenxa yokuba nonke niwiswe phansi ukuze kwambulwe amandla Ami? Ngabe izimpilo zenu nonke azincikile ezwini elilodwa elivela Kimi? Kungani ngisebenzisa amazwi okuyalela kuphela futhi ngingakaguquli amagama aba amaqiniso okuba ngikuwisele phansi ngokushesha? Ingabe amagama Ami nomsebenzi Wami owokugadla ngiwisele phansi isintu? Ingabe nginguNkulunkulu obulala abamsulwa ngokungakhethi? Njengamanje, bangaki kini abeza phambi Kwami nakho konke okwabo bezofuna indlela elungile yokuphila komuntu? Yimizimba yenu kuphela ephambi Kwami, kodwa izinhliziyo zenu zikude le, kude kakhulu Nami. Ngoba anazi ukuthi umsebenzi Wami uyini, baningi benu abafuna ukusuka Kimi, abaziqhelelanisa Nami, kodwa abafuna ukuphila epharadesi lapho kungekho kujeziswa, kungekho kwahlulelwa. Akukona lokho okufiswa ngabantu ezinhliziyweni zabo? Angikucindezeli neze ngalokhu. Noma iyiphi indlela oyithathayo ingukuzikhethela kwakho, futhi indlela yanamhlanje ihamba nokwahlulelwa nesiqalekiso, kodwa nonke kufanele nazi ukuthi lokho engikubeke kini, noma ngabe ukwahlulelwa noma ukujeziswa, konke kuyizipho ezinhle kakhulu enginganinikeza zona, futhi konke kuyizinto enizidinga ngokushesha.

Okwedlule: Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu

Okulandelayo: Umsebenzi ENkathini Yomthetho

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp