Umsindisi Usebuyile “Esefwini Elimhlophe”

Ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka, umuntu ubelokhu elangazelela ukubona ukufika koMsindisi. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubona uJesu uMsindisi esefwini elihlophe njengoba ehla, engumuntu, phakathi kwalabo ababemlangazelele nababefisa ukumbona izinkulungwane zeminyaka. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubuya koMsindisi futhi ezozihlanganisa nabantu, okungukuthi, uJesu uMsindisi ukuba abuye kubantu asehlukane nabo iminyaka eyizinkulungwane. Umuntu unethemba lokuthi uMsindisi uzophinde enze umsebenzi wokukhulula awenza kumaJuda nokuthi uzoba nesihawu nothando kubantu, abathethelele izono zabo, athwale izono zabantu nazo zonke izeqo zabo futhi akhulule abantu esonweni. Balangazelela ukuthi uJesu uMsindisi afane nasekuqaleni—uMsindisi onothando, onobungani nohloniphekile, ongakaze amthukuthelele umuntu futhi ongakaze amsole. Lo Msindisi uthethelela futhi athwale zonke izono zomuntu, futhi aze afe esiphambanweni efela abantu. Njengoba uJesu ahamba, abafundi bakhe ababemlandela nabo bonke abangcwele ababesindisiwe balibonga igama Lakhe, bebelokhu bemlangazelele kakhulu futhi bemlindile. Bonke labo ababesindiswe ngomusa kaJesu Kristu phakathi neNkathi Yomusa bebelokhu belangazelele lolo suku lwenjabulo phakathi nezinsuku zokugcina, lapho uJesu uMsindisi efika ngefu elimhlophe futhi ebonakala kubantu. Empeleni, lesi yisifiso sabo bonke labo abamukela igama likaJesu uMsindisi namuhla. Kuyo yonke indawo, bonke labo abayaziyo insindiso kaJesu uMsindisi bebelokhu bekulindile ukufika kungazelelwe kukaJesu Kristu, ukuze kugcwaliswe amazwi kaJesu lapho esesemhlabeni: “Ngizofika ngendlela engihambe ngayo.” Umuntu ukholelwa ukuthi ngemva kokubethelwa novuko, uJesu wabuyela ezulwini ngefu elimhlophe, wabe esethola indawo Yakhe ngakwesokunene Sophezu Konke. Umuntu ucabanga ukuthi, ngokufanayo, uJesu uzophinde ehle ngefu elimhlophe (leli fu libhekisela efwini lelo uJesu anyuka ngalo lapho ebuyela ezulwini), phakathi kwalabo abebelokhu bemlinde ngokulangazela iminyaka eyizinkulungwane nokuthi uzoba nesithombe nezembatho zamaJuda. Ngemva kokuvela kubantu, uyobanika ukudla futhi enze amanzi okuphila ukuba agobhoze phambi kwabo futhi aphile nabantu, egcwele umusa nothando, ephila futhi engokoqobo. Njalo njalo. Nokho uJesu uMsindisi akazange akwenze lokhu; wenza okuphambene nalokho umuntu ayekucabanga. Akazange afike kulabo abebelokhu belinde ukubuya Kwakhe futhi akazange abonakale kubo bonke abantu njengoba ayegibele ifu elimhlophe. Usefikile, kodwa abantu abamazi, futhi bayaqhubeka bengamazi. Abantu bamane bamlinda ngokungenanhloso nje, bengaboni ukuthi usehlile ngefu elimhlophe (ifu eliwuMoya Wakhe, amazwi Akhe kanye nesimo semvelo Yakhe yonke nakho konke ayikho), manje usephakathi kweqembu labantu abangabanqobi azobakha phakathi nezinsuku zokugcina. Abantu abakwazi lokhu: Nakuba uMsindisi ongcwele uJesu egcwele uthando futhi ebakhonzile abantu, angasebenza kanjani “emathempelini” agcwele ukungcola nemimoya emibi? Nakuba umuntu elokhu elinde ukufika Kwakhe, angabonakala kanjani kulabo abadla inyama yabangalungile baphuze igazi labangalungile, bagqoke izingubo zabangalungile, abakholelwa Kuye kodwa bengamazi futhi abaqhubeka bemphanga? Abantu bazi kuphela ukuthi uJesu uMsindisi ugcwele uthando nobubele, futhi ungumnikelo wesono oyisihlawulelo. Kodwa umuntu akaqondi nakancane ukuthi Yena unguNkulunkulu Uqobo, ochichima ukulunga, ubukhosi, ulaka nesahlulelo, onegunya futhi abe nesithunzi. Nakuba kunjalo umuntu usakulangazelela futhi ukomele ukubuya koMkhululi, futhi ngisho noma Izulu linyakaza ngenxa yemithandazo yabantu, uJesu uMsindisi akabonakali kulabo abakholelwa Kuye kodwa bengamazi.

“UJehova” yigama engalisebenzisa ngenkathi ngisebenza kwa-Israyeli, futhi lisho uNkulunkulu wama-Israyeli (Abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu) ongazwela umuntu, amqalekise umuntu futhi aqondise ukuphila komuntu. Lisho uNkulunkulu onamandla amakhulu futhi ogcwele ukuhlakanipha. “UJesu” ungu-Emanuweli, okusho umnikelo wesono ogcwele uthando, ogcwele ububele futhi okhulula isintu. Wenza umsebenzi Wenkathi Yomusa, futhi wamelela ingxenye eyodwa yohlelo lokuqondisa. Okusho ukuthi, uJehova kuphela onguNkulunkulu wabantu baka-Israyeli abakhethiweyo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, uNkulunkulu kaJakobe, uNkulunkulu kaMose noNkulunkulu wabo bonke abakwa-Israyeli. Ngakho, nakule nkathi, bonke abakwa-Israyeli, ngaphandle kwamaJuda, bakhonza uJehova. Bamenzela iminikelo e-altare futhi bamkhonze begqoke izingubo zabapristi ethempelini. Abanethemba lakho ukubonakala kukaJehova futhi. NguJesu kuphela ongoMhlengi wesintu. Ungumnikelo wesono owahlenga isintu esonweni. Okusho ukuthi, igama likaJesu livela eNkathini Yomusa, futhi belilokhu likhona ngenxa yomsebenzi wokukhulula weNkathi Yomusa. Igama likaJesu libe khona ukuze abantu bangeNkathi Yomusa bazalwe kabusha futhi basindiswe, futhi liyigama elithile lokuhlenga sonke isintu. Ngakho igama likaJesu limelela umsebenzi wokuhlenga, futhi lisho iNkathi Yomusa. Igama elithi Jehova, liyigama elithile labantu bakwa-Israyeli ababephila ngaphansi komthetho. ENkathini ngayinye nesigaba ngasinye somsebenzi, igama lami linesisekelo kodwa futhi limelela okuthile okubalulekile: Igama ngalinye limele inkathi eyodwa. “UJehova” umele iNkathi Yomthetho futhi liyisihloniphiso sikaNkulunkulu owayekhonzwa ngabantu bakwa-Israyeli. “UJesu” umelela iNkathi Yomusa futhi uyigama likaNkulunkulu wabo bonke abahlengwa phakathi neNkathi Yomusa. Uma umuntu elangazelela ukufika kukaJesu uMsindisi phakathi nezinsuku zokugcina, kodwa esalindele ukuba afike engumfanekiso ayeyiwo eJudiya, ngakho lonke uhlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luzoma ngeNkathi Yokuhlengwa, futhi angeke akwazi uqhubekele phambili. Ngaphezu kwalokho, izinsuku zokugcina azisoze zafika, futhi inkathi ngeke iqedwe. Lokhu kungenxa yokuthi uJesu uMsindisi uhlenga futhi asindise isintu. Ngathatha igama likaJesu ngenzela zonke izoni zangeNkathi Yomusa futhi akulona igama engizoliletha ukuqeda ngesintu. Nakuba uJehova, uJesu kanye noMesiya bonke bemelela uMoya Wami, la magama abonisa kuphela izinkathi ezihlukahlukene zohlelo Lwami lokuqondisa futhi awameleli sonke isiqu Sami. Amagama abantu abasemhlabeni abangibiza ngawo awakwazi ukusiveza sonke isimo Sami semvelo nakho konke engiyikho. Amane angamagama nje engibizwa ngawo ezinkathini ezingafani. Futhi, lapho kufika inkathi yokugcina—inkathi yezinsuku zokugcina—igama Lami kuyomele lishintshe futhi. Angeke ngibizwe ngoJehova, noma ngoJesu, ingasaphathwa ekaMesiya. Ngizobizwa ngoNkulunkulu uSomandla Uqobo, futhi kuleli gama ngiyoyiqeda yonke inkathi. Ngangaziwa ngoJehova kuqala. Ngangaziwa futhi ngoMesiya, futhi abantu babengibiza ngoJesu uMsindisi ngoba babengithanda futhi bengihlonipha. Kodwa namuhla angiyena uJehova noma uJesu abantu ababemazi kudala—nginguNkulunkulu obuye ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ozoqeda ngenkathi. NginguNkulunkulu Uqobo ovukayo kusuka ekupheleni komhlaba, isimo Sami semvelo siphelelisiwe futhi nginalo lonke igunya, udumo nenkazimulo. Abantu abakaze baxhumane Nami futhi abakaze bangazi, bebelokhu bengasinakile isimo Sami semvelo. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube namhlanje, akekho owake wangibona. Lona nguNkulunkulu obonakala kubantu phakathi nezinsuku zokugcina kodwa ofihlekile ebantwini. Uhlala ebantwini, uyiqiniso futhi ungokoqobo njengelanga elishisayo nomlilo ovutha amalangabi, onamandla nogcwaliswe ngegunya. Akekho noyedwa umuntu noma into engeke yahlulelwa ngamazwi Ami, futhi akekho noyedwa ongeke angacwengwa ngomlilo ovuthayo. Ekugcineni, zonke izizwe ziyobusiswa ngenxa yamazwi Ami, futhi ziyophihlizwa zibe yizicucu ngenxa yamazwi Ami. Ngaleyo ndlela, bonke abantu ngezinsuku zokugcina bayobona ukuthi nginguMsindisi obuyile, nginguNkulunkulu uMninimandla Onke onqobe sonke isintu, owake waba ngumnikelo wesono kubantu, kodwa ezinsukwini zokugcina ngiba nayimisebe yelanga eshisa zonke izinto, kanye nelanga lokulunga elambula izinto zonke. Lowo umsebenzi Wami wezinsuku zokugcina. Ngithathe leli gama futhi nginalesi simo semvelo ukuze bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu olungile, futhi ngiyilanga elishisayo, nomlilo onamalangabi. Ukuze bonke bangidumise Mina Nkulunkulu weqiniso, babubone ubuso Bami bangempela: Angiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, futhi angiyena nje uMhlengi—nginguNkulunkulu wayo yonke indalo emazulwini nasemhlabeni nasolwandle.

Lapho uMsindisi efika ezinsukwini zokugcina, uma esabizwa ngoJesu futhi, waphinde wazalwa eJudiya futhi, wenza umsebenzi Wakhe eJudiya, ngakho lokho bekuyobonisa ukuthi ngadala abantu bakwa-Israyeli futhi ngahlenga abantu bakwa-Israyeli kuphela nokuthi ayikho into engihlanganisa nabeZizwe. Ingabe lokhu angeke kushayisane namazwi Ami ukuthi “nginguNkulunkulu owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto”? Ngalishiya iJudiya ngenza umsebenzi Wami kwabeZizwe ngoba angiyena nje uNkulunkulu wabantu bakwa-Israyeli, kodwa, nginguNkulunkulu wayo yonke indalo. Ngibonakala kwabeZizwe ezinsukwini zokugcina ngoba angiyena uJehova kuphela, uNkulunkulu wama-Israyeli, kuphela, kodwa kunalokho, ngoba nginguMdali wabo bonke abakhethiweyo Bami phakathi kwabeZizwe. Angidalanga kuphela u-Israyeli, iGibhithe neLebhanoni, kodwa ngadala zonke iZizwe, ngale kuka-Israyeli. Futhi ngenxa yalokho ngiyiNkosi yayo yonke indalo. Ngimane ngasebenzisa u-Israyeli njengesiqalo somsebenzi Wami, ngasebenzisa iJudiya neGalile njengenqaba yomsebenzi Wami wokuhlenga, futhi ngasebenzisa abantu beZizwe njengesisekelo engizolethela ngaso yonke inkathi ekugcineni. Ngenza izigaba ezimbili zomsebenzi kwa-Israyeli (izigaba ezimbili zomsebenzi weNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa), futhi bengilokhu ngiqhubeka nezinye izigaba zomsebenzi ezimbili (iNkathi Yomusa neNkathi Yombuso) kuyo yonke indawo ngale kuka-Israyeli. Kubantu beZizwe ngizokwenza umsebenzi wokunqoba futhi ngiphothule inkathi. Uma umuntu elokhu engibiza ngoJesu Kristu, kodwa engazi ukuthi ngiqale inkathi entsha phakathi nezinsuku zokugcina futhi ngiphikelele emsebenzini omusha futhi uma umuntu elindele ngokweqile ukufika kukaJesu uMsindisi, abantu abanjalo ngiyobabiza njengalabo abangazange bakholelwe Kimi. Bangabantu abangangazi, futhi ukukholwa kwabo Kimi kuwubuzenzisi. Ingabe abantu abanjalo bangakubona ukufika kukaJesu uMsindisi evela ezulwini? Abakulindele akukhona ukufika Kwami, kodwa ukufika kweNkosi yamaJuda. Abakulangazelele ukubhubhisa Kwami lo mhlaba omdala, kunalokho balindele ukufika kukaJesu kwesibili, lapho beyohlengwa khona; balangazelele ukufika kukaJesu ezophinde akhulule bonke abantu kuleli zwe elinzima nelingalungile. Abantu abanjalo bangaba kanjani abaqeda umsebenzi Wami phakathi nezinsuku zokugcina? Izifiso zomuntu azikwazi ukumenza athole izifiso Zami noma afeze umsebenzi Wami, ngoba umuntu umane nje wazisa umsebenzi engiwenzile esikhathini esedlule, futhi akaqondi nakancane ukuthi nginguNkulunkulu Uqobo ohlezi emusha nongagugi. Umuntu wazi kuphela ukuthi nginguJehova, noJesu, akanako nokuncane ukusola kokuthi ngingowokugcina, Lowo oyoletha isintu ekugcineni. Konke abantu abakulangazelelayo nabakwaziyo kumane kuyimicabango yabo, futhi kumane kuyilokho abangakubona ngamehlo abo. Akuyeli nakuyela emsebenzini engiwenzayo, akuhambisani nawo. Ukube umsebenzi Wami ubuwenziwe ngokwendlela yomuntu, lokho bekuyosho ukuthi uphela nini? Kunini lapho isintu siyongeka khona ekuphumuleni? Futhi ngiyokwazi kanjani ukungena osukwini lwesikhombisa, iSabatha? Ngisebenza ngokwalokho engikuhlelile Kwami, ngokwenhloso Yami, hhayi ngokwenhloso yomuntu.

Okwedlule: Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka

Okulandelayo: Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp