Izinkolelo Eziyisisekelo ZeBandla LikaNkulunkulu USomandla

November 13, 2017

(1) Izimiso ZeBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izimiso zeBandla likaNkulunkulu uSomandla zisekelwe eBhayibhelini, futhi izimiso zeBandla likaNkulunkulu uSomandla zisekelwe kuwo wonke amaqiniso akhulunywe uNkulunkulu kusukela ekudalweni phakathi neNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, neNkathi Yombuso. Lokho kusho ukuthi, iTestamente Elidala, iTestamente Elisha, neBhayibheli leNkathi Yombuso—Izwi Livela Lisenyameni—okwakhulunywa yiNkosi uJesu yezinsuku zokugcina, uNkulunkulu uSomandla, kuyizinkolelo nezimiso okuyisisekelo kweBandla likaNkulunkulu uSomandla. ITestamente Elidala lilandisa ngomsebenzi kaJehova wokukhipha imithetho nemiyalelo nokuqapha ukuphila kwabantu phakathi neNkathi Yomthetho; iTestamente Elisha lilandisa ngomsebenzi wokuhlenga owenziwa yiNkosi uJesu phakathi neNkathi Yomusa; Izwi Livela Lisenyameni liyiwo wonke amaqiniso okuhlanzwa nokusindiswa kwesintu okukhulunywa uNkulunkulu uSomandla phakathi neNkathi Yombuso, kanye nokulandisa okumayelana nomsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela phakathi nezinsuku zokugcina. IBhayibheli liqukethe wonke amazwi kaNkulunkulu phakathi nezigaba ezintathu somsebenzi, futhi izinkolelo eziyisisekelo zeBandla likaNkulunkulu uSomandla zonke zingamazwi kaNkulunkulu phakathi nalezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Le miBhalo emithathu engcwele iyisisekelo sezinkolelo nezimiso zeBandla likaNkulunkulu uSomandla.

UbuKristu baba khona ngenxa yomsebenzi weNkosi uJesu phakathi neNkathi Yomusa, kodwa iNkosi uJesu Kristu elikholelwa Kuye yenza umsebenzi wokuhlenga eNkathini Yomusa. Ngenxa yokuthi iNkosi uJesu esesimweni somuntu yabethelwa esiphambanweni futhi yaba umnikelo wabantu wesono, ikhulula abantu ezandleni zikaSathane futhi ibasindisa ekulahlweni nasesiqalekisweni somthetho, abantu kwakudingeka beze phambi kukaNkulunkulu bavume izono zabo futhi baphenduke ukuze bathethelelwe izono zabo bese bejabulela umusa nezibusiso eziningi ezivela kuNkulunkulu. Lona ngumsebenzi wokuhlenga owenziwa yiNkosi uJesu. Nakuba izono zabantu zaxolelwa ngesihlengo seNkosi uJesu, abantu abakhululwanga esimweni sabo sesono, babesabuswa futhi belawulwa yiso, futhi akukho ababengakwenza ngaphandle kokona nokumelana noNkulunkulu ngokuqhosha nokuzazisa, ngokulwela udumo nenzuzo, ngomona nokubanga, ngamanga nokukhohlisa abantu, belandela ezindlela zezwe ezingalungile, njalo njalo. Abantu babengakakhululwa ebugqilini besono futhi babe ngcwele, ngakho iNkosi uJesu yaprofetha izikhathi eziningi ukuthi izobuya futhi izokwenza umsebenzi wokwahlulela wezinsuku zokugcina, lapho ithi: “Futhi, Bheka, ngiyeza masinyane(IsAmbulo 22:12). “Futhi uma noma ngabe yimuphi umuntu ezwa amazwi ami, engawakholwa, angimahluleli: ngoba angizanga ukuzokwahlulela umhlaba, kodwa ukusindisa umhlaba. Lowo ongalayo, engawamukeli namazwi ami, ukhona ozomahlulela: izwi engilikhulumile, lona lizomehlulela ezinsukwini zokugcina(Johane 12:47-48). Kulotshiwe futhi eNcwadini Yokuqala KaPetru ukuthi “Ngoba sesifikile isikhathi sokuqala kwesahlulelo endlini kaNkulunkulu ...(1 Petru 4:17). UNkulunkulu uSomandla, uKristu wezinsuku zokugcina, ungukubuya kweNkosi uJesu. Uye wakhuluma wonke amaqiniso ngokuhlanzwa nokusindiswa kwabantu, wenza nomsebenzi wokwahlulela eqala ebandleni likaNkulunkulu, futhi uzigcwalise ngokuphelele iziprofetho zeBhayibheli. Izwi Livela Lisenyameni elikhulunywe uNkulunkulu uSomandla “ake ezwe okushiwo uMoya emabandleni(IsA 2:7) okuprofethwe ngalo eNcwadini yesAmbulo, futhi lingukulandisa komsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina. Umsebenzi wokwahlulela owenziwa uNkulunkulu uSomandla uyisigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa isintu, futhi uyisigaba sawo esibalulekile nesibucayi kakhulu. Uma abantu befisa ukusindiswa uNkulunkulu futhi bangene embusweni wezulu, kufanele bamukele umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela, futhi lokhu kugcwalise amazwi eNkosi uJesu: “Futhi phakathi kwamabili kwenziwa isimemezelo, Bheka, umyeni usefikile; hambani niyomhlangabeza(Mathewu 25:6). “Bheka, Ngime emnyango, futhi ngiyangqongqoza; uma kukhona umuntu ozwa izwi lami, avule umnyango, ngizongena ngize kuye, futhi ngizodla naye, naye adle nami(IsAm 3:20). Uma abantu bamukela futhi bebona ukwahlulela nokusola okuvela emazwini kaNkulunkulu kungaleyo ndlela kuphela bezokwazi ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu, bazi ingqikithi nesimo senkohlakalo yabantu ebangelwa uSathane namaqiniso angempela ayo, baphenduke ngeqiniso phambi kukaNkulunkulu, bazihlukanise nakho konke ukona, bathole ubungcwele, balalele uNkulunkulu futhi bakhonze uNkulunkulu, futhi bazuzwe uNkulunkulu. Kungaleso sikhathi kuphela beyokufanelekela ukuthola izithembiso nezibusiso zikaNkulunkulu, futhi bazuze ikusasa eliqhakazile.

Izimiso zeBandla liNkulunkulu uSomandla zisekelwe kuwo wonke amaqiniso akhulunywe uNkulunkulu ezigabeni ezintathu zomsebenzi Wakhe, okusho ukuthi zisekelwe emazwini kaNkulunkulu alotshwe eBhayibhelini nakwethi Izwi Livela Lisenyameni. UNkulunkulu waqala ukwenza umsebenzi wokusindisa isintu ngemva kokudala umhlaba, uhlelo Lwakhe lokusindisa abantu ngeke luphele kuze kube yilapho eqeda umsebenzi wokuhlenga oqala endlini kaNkulunkulu phakathi nezinsuku zokugcina. Emazwini nakuwo wonke amaqiniso akhulunywe uNkulunkulu ezigabeni ezintathu zomsebenzi, sikwazi ukukubona kahle lokho, kungaba umsebenzi owafezwa uNkulunkulu esebenzisa abantu ekuqaleni kweNkathi Yomthetho, noma umsebenzi Wakhe phakathi nezikhathi ezimbili esesimweni somuntu eNkathini YoMusa neseNkathini YoMbuso, konke okwakhulunywa namazwi eqiniso oMoya munye; ingqikithi yako, uNkulunkulu munye okhulumayo nosebenzayo. Ngakho, izimiso zeBandla likaNkulunkulu uSomandla zisekelwe eBhayibhelini nakwethi Izwi Livela Lisenyameni.

(2) Mayelana nethi Izwi Livela Lisenyameni

Izwi Livela Lisenyameni lingamazwi kaNkulunkulu uSomandla ngathupha, uKristu wezinsuku zokugcina, futhi liyiwo wonke amaqiniso akhulunywe uNkulunkulu ukuhlanza nokusindisa abantu phakathi nomsebenzi Wakhe wokwahlulela wezinsuku zokugcina. La maqiniso angamazwi oMoya oNgcwele ngokuqondile, ukwambulwa kwempilo kaNkulunkulu nengqikithi, amazwi okwakheka kuNkulunkulu nalokho anakho nayikho. Awukuphela kwendlela abantu abangazi ngayo uNkulunkulu, bahlanzwe futhi basindiswe. Amazwi akhulunywa uNkulunkulu uSomandla ayizimiso eziphakeme zendlela abantu abenza nabaziphatha ngayo, futhi awawona amaqiniswana akhuluma ngokuphila kwabantu.

AmaKristu eBandla likaNkulunkulu uSomandla afunda amazwi kaNkulunklu kwethi Izwi Livela Lisenyameni nsuku zonke, ngendlela efanayo amaKristu obuKristu ayefunda ngayo iBhayibheli. Wonke amaKristu athatha amazwi kaNkulunkulu njengento ewaqondisayo ekuphileni nanjengamazwi aphakeme kunawo wonke amazwi ekuphileni. NgeNkathi Yomusa, wonke amaKristu ayefunda iBhayibheli futhi elalela lokho okushiwo iBhayibheli. Kancane kancane kwenzeka ushintsho endleleni abantu abaphila ngayo, futhi baya benza izono ezincane. Ngendlela efanayo, ngokufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla nangokuhlanganyela ngamazwi kaNkulunkulu, amaKristu eBandla likaNkulunkulu uSomandla kancane kancane aya eqonda iqiniso futhi ekhululeka ebugqilini besono, engasasenzi isono futhi engamelani noNkulunkulu, futhi eya evumelana noNkulunkulu. Amaqiniso aye afakazela ukuthi abantu bangahlanzwa, bashintshwe futhi baphile njengabantu boqobo kuphela ngokufunda amazwi kaNkulunkulu. Lawa amaqiniso okungekho muntu ongawaphikisa. Amazwi kaNkulunkulu alotshwe eBhayibhelini akhulunywa ngesikhathi uNkulunkulu eqhuba umsebenzi Wakhe ngeNkathi Yoythetho neNkathi Yomusa, kuyilapho kwethi Izwi Livela Lisenyameni ingamazwi akhulunywa uNkulunkulu ngomsebenzi wezinsuku zokugcina. Imithombo yawo wonke lo msebenzi uMoya oNgcwele. Amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla kugcwalisa ngokuphelele iziprofetho eziseBhayibhelini, futhi uNkulunkulu uSomandla ungukubuya kweNkosi uJesu, njengoba nje iNkosi uJesu yasho: “Ngisenezinto eziningi engingazisho kini, kodwa ningekwazi ukuzithwala manje. Noma kunjalo, uma esefikile yena, uMoya weqiniso, uzoniholela kulo lonke iqiniso: ngoba akazukuzikhulumela, kodwa lokho azokuzwa, uzokusho: futhi uzonikhombisa okuzayo(Johane 16:12-13). Ngakho, kuphinde kuprofethwe eNcwadini yesAmbulo ukuthi, “Onendlebe makezwe lokho okushiwo uMoya emabandleni(IsAmbulo 2:7). “Ngase ngibona ngasesandleni sokunene salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ebhalwe ngaphakathi nangaphandle, ivalwe ngezimpawu eziyisikhombisa. … Ungakhali: bheka, iNgonyama yesizwe sakwaJuda, impande kaDavide, iphumelele ukuvula incwadi, nokuvula izimpawu eziyisikhombisa(IsAmbulo 5:1, 5).

Namuhla, sonke sibona iqiniso elilodwa: Wonke amazwi akhulunywa uNkulunkulu uSomandla ayiqiniso, anegunya anamandla—ayizwi likaNkulunkulu. Akekho ongaphika lokhu noma akushitshe. Izwi Livela Lisenyameni litholakala mahhala ku-Inthanethi ukuze abantu kuwo wonke amazwe nezindawo bacinge futhi bahlole. Akekho ongaphika ukuthi angamazwi kaNkulunkulu, noma ukuthi ayiqiniso. Amazwi kaNkulunkulu aqondisa isintu ukuba siye phambili, abantu baye baqala ukuvuka kancane kancane phakathi namazwi kaNkulunkulu, futhi kancane kancane baya ngasohlangothini lokwamukela iqiniso nasekuvumeni iqiniso. INkathi Yombuso iyinkathi lapho amazwi kaNkulunkulu uSomandla ebusa umhlaba. Wonke amazwi kaNkulunkulu azofezeka futhi agcwaliseke. Njengoba nje wonke amakholwa namuhla amukela iBhayibheli, abantu abakholelwa kuNkulunkulu esikhathini esizayo esiseduze abazokwamukela ukuthi ethi Izwi Livela Lisenyameni ingamazwi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. Namuhla, ethi Izwi Livela Lisenyameni iyisisekelo sezinkolelo zeBandla likaNkulunkulu uSomandla, futhi ngokuqinisekile izoba isisekelo sokuphila kuso sonke isintu enkathini elandelayo.

(3) Mayelana Namagama KaNkulunkulu Nezigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu

Ngemva kokonakaliswa uSathane, abantu baphila ngaphansi kokulawula kukaSathane futhi ukonakala kwabo kuye kwaba kukhulu nakakhulu. Abantu ngeke bakwazi ukuzisindisa, futhi badinga insindiso evela kuNkulunkulu. Ngokuvumelana nezidingo zesintu esonakele, uNkulunkulu wenze izigaba ezintathu zomsebenzi ngeNkathi Yomthetho, ngeNkathi Yomusa, nangeNkathi Yombuso. NgeNkathi Yomthetho, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokukhipha imithetho nemiyalelo nokuqondisa ukuphila kwabantu. NgeNkathi Yomusa, uNkulunkulu waba senyameni futhi, ngesisekelo somsebenzi Wakhe eNkathini Yomthetho, wenza umsebenzi wokubethelwa esiphambanweni futhi wahlenga abantu esonweni. NgeNkathi Yombuso, uNkulunkulu waphinde waba senyameni futhi, ngesisekelo somsebenzi wokuhlenga wangeNkathi Yomusa, wenza umsebenzi wokwahlulela eqala endlini kaNkulunkulu, ekhuluma wonke amaqiniso ngokuhlanzwa nokusindiswa kwabantu, futhi wasilethela okuwukuphela kwendlela yokuthola ukuhlanzeka nokusindiswa. Uma nje singazuza iqiniso langempela njengokuphila kwethu, silalele futhi sikhonze uNkulunkulu, sizokufanelekela ukuholelwa embusweni kaNkulunkulu futhi sithole izithembiso nezibusiso zikaNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa abantu zihlobene kakhulu, isigaba ngasinye sibaluleke kakhulu, isigaba ngasinye siphakeme futhi sijulile kunesandulele, zonke ziwumsebenzi kaNkulunkulu oyedwa, futhi yilezi zigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu eziwumsebenzi ophelele wokusindiswa kwesintu.

Amagama amathathu—uJehova, uJesu, noNkulunkulu uSomandla—angamagama ahlukile uNkulunkulu awasebenzisile eNkathini Yomthetho, eNkathini Yomusa, naseNkathini Yombuso. UNkulunkulu usebenzisa amagama ahlukile ngoba umsebenzi Wakhe awufani esigabeni ngasinye. UNkulunkulu usebenzisa igama elisha ukuze aqale inkathi entsha futhi amelele umsebenzi waleyo nkathi. Igama likaNkulunkulu kwakunguJehova ngeNkathi Yomthetho, futhi linguJesu ngeNkathi Yomusa. UNkulunkulu usebenzisa igama elisha—uNkulunkulu uSomandla—eNkathini Yombuso, okugcwalisa iziprofetho eziseNcwadini yesAmbulo: “Nasengelosini yebandla laseFiladelfiya bhala …. Bheka, ngiyeza masinyane: bambelela kulokho onakho, ukuze kungabi namuntu ozothatha umqhele wakho. Lowo onqobayo ngizomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi angeke esaya ngaphandle: futhi ngizobhala kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, okuyiJerusalema elisha, elizovela ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobe sengibhala kuye igama lami elisha(IsAmbulo 3:7, 12). “Ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, kusho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nesazoza, uMninimandla onke(IsAmbulo 1:8). Nakuba amagama nomsebenzi kaNkulunkulu kuhluka kulezi zinkathi ezintathu, munye kuphela uNkulunkulu engqikithini, nomthombo uyefana.

Umsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa abantu ngokuyinhloko uhlanganisa umsebenzi wezigaba ezintathu. Usebenzise igama elihlukile enkathini ngayinye, kodwa ingqikithi kaNkulunkulu ayishintshi nhlobo. Umsebenzi wazo zonke lezi zigaba wenziwa uNkulunkulu oyedwa; ngakho, uJehova, uJesu, noNkulunkulu uSomandla banguNkulunkulu munye ofanayo. UJesu wayewukubonakaliswa kukaJehova, futhi uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi uJesu ebuyile, ngakho uNkulunkulu uSomandla ungukuphela kukaNkulunkulu weqiniso owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, oyala zonke izinto, nobusa phezu kwazo zonke izinto, futhi unguNkulunkulu ongunaphakade nowukuphela koMdali.

Ezigabeni ezintathu zomsebenzi wokusindiswa kwabantu, uNkulunkulu uye wavezela abantu sonke isimo Sakhe, evumela ukuba sibone ukuthi isimo Sakhe akusho ukuba nesihe nothando kuphela, kodwa futhi kusho ukulunga, ubukhulu obubabazekayo nolaka, ukuthi ingqikithi Yakhe ingubungcwele nokulunga, futhi iyiqiniso nothando, nokuthi asikho isidalwa noma into engadaliwe okunesimo sikaNkulunkulu negunya likaNkulunkulu namandla. Sikholelwa ukuthi wonke amazwi akhulunywa uNkulunkulu kusukela lapho kudalwa kuze kube sekupheleni kwezwe ayiqiniso. Amazulu nomhlaba kungadlula, kodwa amazwi kaNkulunkulu ngeke ashabalale, futhi wonke kufanele afezeke!

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

Sithinte nge-Whatsapp