Umsebenzi KaMoya ONgcwele Nomsebenzi KaSathane

Ukuqonda kanjani okuyisisekelo ngokomoya? Ingabe uMoya oNgcwele usebenza kanjani kumuntu? Ingabe uSathane usebenza kanjani kumuntu? Ingabe imimoya emibi isebenza kanjani kumuntu? Futhi ziyini izibonakaliso zalo msebenzi? Uma kwenzeka okuthile kuwena, ingabe kuqhamuka kuMoya oNgcwele, futhi ingabe kufanele umthobele, noma ungamlaleli? Ukwenza kwabantu kuveza okuningi ngentando yomuntu kodwa yilokho abantu abahlezi becabanga ukuthi kuvela kuMoya oNgcwele. Okunye kuvela emimoyeni emibi, kodwa noma kunjalo abantu basacabanga ukuthi kuvela kuMoya oNgcwele, futhi kwesinye isikhathi uMoya oNgcwele uhola abantu kusuka ngaphakathi, kodwa abantu besaba ukuthi ukuholwa okunjengalokho kuvela kuSathane, futhi bangalaleli neze, kube empeleni kungukukhanya okuvela kuMoya oNgcwele. Yingakho-ke, ngaphandle kokuhlukanisa ngeke ukwazi ukubona uma lokhu sekwenzeka ngempela kuwena, futhi ngaphandle kokuhlukanisa, ayikho indlela yokuzuza ukuphila. Ingabe uMoya oNgcwele usebenza kanjani? Ingabe imimoya emibi isebenza kanjani? Yini evela entandweni yomuntu? Futhi yini evelayo ekuholweni nasekukhanyiselweni uMoya oNgcwele? Uma ukwazi ukubamba imithetho yokusebenza kukaMoya oNgcwele ngaphakathi kumuntu, lapho uzokwazi ukukhula olwazini nasekwahlukaniseni impilo yakho yansukuzonke kanye nangesikhathi sokuhlangenwe nakho kwakho okungokoqobo; uzokwazi ukumazi uNkulunkulu, uzokwazi ukuqonda nokubona uSathane, ngeke udideke ekulaleleni noma ekufuneni kwakho, futhi uzoba umuntu onemicabango ecacile, nolalela umsebenzi kaMoya oNgcwele.

Umsebenzi kaMoya oNgcwele uwuhlobo lomhlahlandlela ohamba phambili nokukhanyiselwa okuhle. Awuvumeli abantu ukuba babe ngovumazonke. Ubanikeza induduzo, ubanikeza ukholo kanye namandla futhi ubenza bafune ukupheleliswa nguNkulunkulu. Uma uMoya oNgcwele esebenza, abantu bayakwazi ukungena ngokucacile; ababona ovumazonke noma abaphoqiwe, kodwa bakubeka ezandleni zabo ukwenza umsebenzi. Uma uMoya oNgcwele esebenza, abantu bayajabula futhi bayazimisela, futhi bayazimisela ukulalela, bayakujabulela ukuzithoba, yize noma besebuhlungwini futhi bebuthakathaka ngaphakathi, kufanele bazimisele ukuba babambisane, bayajabula ngokuzwa ubuhlungu, futhi bayakwazi ukulalela, futhi abangcoliswanga yintando yomuntu, abangcoliswanga ukucabanga komuntu, futhi abangcoliswanga nhlobo izifiso nezisusa zomuntu. Uma abantu bebhekene nokusebenza kukaMoya oNgcwele, baba ngcwele ngempela ngaphakathi. Labo ababanjwe nguMoya oNgcwele baphila uthando lukaNkulunkulu lubonakale, uthando lwabazalwane babo, futhi bathokoziswa yizinto ezithokozisa uNkulunkulu, bazenyanye izinto ezenyanyisa uNkulunkulu. Abantu abathintwa ngukusebenza kukaMoya oNgcwele banobuntu obujwayelekile, futhi bahlala njalo nje befuna iqiniso futhi banobuntu. Uma uMoya oNgcwele esebenza ngaphakathi kubantu, izimo zabo ziba ngcono kakhulu, nobuntu babo buye ngokuya buba ngobujwayelekile, yize noma ukuzibandakanya kwabo kungabonakala kungubuwula, izisusa zabo zilungile, nokungena kwabo kuhle, abazami ukuphazamisa, futhi akukho bubi nankohlakalo ngaphakathi kubona. Umsebenzi kaMoya oNgcwele ujwayelekile futhi ungokoqobo, uMoya oNgcwele usebenza emuntwini ngokusho kwemithetho yempilo ejwayelekile yomuntu, futhi ukhanyisela aphinde ahole abantu ngokwezindlela ezijwayelekile zabantu. Uma uMoya oNgcwele esebenza kubantu, uyabahola abakhanyisele njengokwezidingo zabantu abajwayelekile, ubahlinzeka ngokusekelwe ezidingweni zabo, futhi uhola ngendlela enhle abakhanyisele ngokuncike kulokho abangenakho, nangokwalokho abasilele kukho. Umsebenzi kaMoya oNgcwele ukukhanyisela nokuqondisa abantu empilweni yangempela; bakwazi ukubona umsebenzi kaMoya oNgcwele uma kuphela bezwa amazwi kaNkulunkulu ezimpilweni zabo zangempela. Uma, ezimpilweni zabo zansuku zonke, abantu behlezi bekhuthazekile futhi benempilo yangokomoya ejwayelekile, babe sebegcwaliswa ngomsebenzi kaMoya oNgcwele. Esimweni esinjalo, uma bedla futhi bephuza amazwi kaNkulunkulu baba nokholo, uma bekhuleka baba nokushiseleka, uma okuthile kwenzeka kubona ababi ngabangenandaba, futhi njengoba kwenzeka kubona bayakwazi ukubona izifundo uNkulunkulu adinga ukuba bazifunde, ababi ngabangenandaba, futhi yize noma beba nezinkinga zangempela, bazimisele ukulalela zonke izinhlelo zikaNkulunkulu.

Yizini ezifezwa ngumsebenzi kaMoya oNgcwele? Ungaba yisiwula, futhi kungebe nomehluko phakathi kuwena, kodwa uMoya oNgcwele kumele asebenze ukuze kube nokholo kuwena, ukuze uhlale uzizwa ukuthi awukwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokwenele, ukuba wena uzimisele ukubambisana, ukuzimisela ukusebenzisana noma ngabe zinkulu kangakanani izinkinga ezingaphambili. Izinto zizokwenzeka kuwena futhi ngeke kucace kuwena ukuba ziqhamuka kuNkulunkulu noma kuSathane na, kodwa uzokwazi ukulinda, futhi ngeke ube ngongagqize qakala noma ongenandaba. Lona ngumsebenzi ojwayelekile kaMoya oNgcwele. Uma uMoya oNgcwele esebenza ngaphakathi kubona, abantu basahlangabezana nezinkinga zangempela, kwesinye isikhathi bayakhala, futhi kwesinye isikhathi kuba nezinto abangakwazi ukuzinqoba, kodwa konke lokhu kuyisikhathi esijwayelekile semisebenzi kaMoya oNgcwele. Yize noma bengazinqobi lezo zinto, futhi yize noma, ngaleso sikhathi, bebuthakathaka futhi bekhononda, emva kwesikhathi basuke besakwazi ukumthanda uNkulunkulu ngokholo oluphelele. Ukunganaki kwabo angeke kubavimbe ukuba babe nokuhlangenwe nakho okujwayelekile, futhi kungakhathalekile okushiwo ngabanye abantu, nokuthi babahlasela kanjani, kodwa basuke besakwazi ukuthanda uNkulunkulu. Ngesikhathi somkhuleko, ngaso sonke isikhathi bazizwa sengathi bayamkweleta uNkulunkulu, bese bezimisela ukuba bamenelise uNkulunkulu bayehlule inyama uma bephinda bebhekana nezinto ezinjengalezi. Lawa mandla akhombisa ukuthi kunomsebenzi kaMoya oNgcwele ngaphakathi kubona, futhi lesi yisimo esijwayelekile somsebenzi kaMoya oNgcwele.

Yimuphi umsebenzi ovela kuSathane? Emsebenzini ovela kuSathane, imibono ebonwa ngabantu iluvindi futhi ayibambeki, futhi ayinabo ubuntu obujwayelekile, izisusa eziqhutshwa yizenzo zabo azilungile, futhi yize noma befisa ukumthanda uNkulunkulu, kuhlezi kunezinsolo ngaphakathi kubona, futhi lezi zinsolo nemicabango kuhlezi kuphazamisa ngaphakathi kubona, kuvimbela intuthuko empilweni yabo, futhi kubavimbela ekuzeni phambi kukaNkulunkulu esimweni esijwayelekile. Lokhu kusho ukuthi, uma nje kuqala kuba nomsebenzi kaSathane ngaphakathi ebantwini, izinhliziyo zabo azikwazi ukuba nokuthula noNkulunkulu, abazi ukuthi bazenzenjani, uma nje bebona ukuhlangana kwabazalwane ndawonye bafuna ukubaleka, futhi abakwazi ukuvala amehlo abo lapho abanye bethandaza. Umsebenzi wemimoya emibi udicilela phansi ubudlelwane obuhle phakathi komuntu noNkulunkulu, uphinde uphazamise imibono yangaphambilini yabantu noma indlela yangaphambili yokungena ekuphileni, ezinhliziyweni zabo angeke besakwazi ukusondela kuNkulunkulu, kuhlezi kunezinto ezenzekayo ezidala ukuphazamiseka kanye nokubopheka kubona, futhi izinhliziyo zabo azikwazi ukuthola ukuthula, basale bengenamandla othando lukaNkulunkulu, nemimoya yabo ishone phansi.. Lezi yizibonakaliso zemisebenzi kaSathane. Umsebenzi kaSathane ubonakala ngalezi zindlela ezilandelayo: ukungakwazi ukumela okholelwa kukho kanye nokufakaza, okukwenza ube ngumuntu osephutheni phambi kukaNkulunkulu, futhi ongenakuthembeka kuNkulunkulu. Uma kuba nokuphazamisa okuvela kuSathane, uphelelwa uthando nokuthembeka kuNkulunkulu ngaphakathi kuwena, buphele ubudlelwane bakho obujwayelekile noNkulunkulu, awulandeleli iqiniso, noma ukuzithuthukisa, uyahlehla, ube ngongenandaba, uzitike, uzinikele ekuziphatheni ngokuthanda kwakho nokusabalalisa isono, ungabi nakho ukusizonda isono; phezu kwalokho, ukuphazamisa kukaSathane kukwenza ube nenkani, lokhu okwenza uNkulunkulu aphume ngaphakathi kuwena, futhi kukwenze ukhononde ngoNkulunkulu uphikisane naYe, kukuholele ekumngabazeni uNkulunkulu, futhi ube ngisho nasengozini yokumshiya uNkulunkulu. Konke lokhu kungumsebenzi kaSathane.

Uma kwenzeka okuthile empilweni yakho yansukuzonke, kufanele wahlukanise kanjani ukuthi kuvela emsebenzini kaMoya oNgcwele noma emsebenzini kaSathane? Uma izimo zabantu zingezijwayelekile, izimpilo zabo zikamoya kanye nezimpilo zabo zenyama ziba ngezijwayelekile, nesizathu sabo siba ngesijwayelekile nesihlelekile; ngokuvamile lokho abahlangabezana nakho bese bethola ukumazi ngaphakathi kubona kulesi sikhathi kungashiwo ukuthi kuqhamuka ekuthintweni nguMoya oNgcwele (ukuthola ukubona okusithekile noma ulwazi oluthile olungajulile lapho bedla noma bephuza amazwi kaNkulunkulu, noma ukuba nokwethembeka uma izinto zenzeka kubona, noma ukuba namandla okuthanda uNkulunkulu uma izinto zenzeka—konke lokhu kungokukaMoya oNgcwele). Umsebenzi kaMoya oNgcwele kumuntu ikakhulukazi ujwayelekile; umuntu akakwazi ukuwuzwa, futhi kubonakala sengathi kwenzeka ngaye umuntu uqobo—kodwa empeleni umsebenzi kaMoya oNgcwele. Empilweni yansukuzonke, uMoya oNgcwele wenza umsebenzi omkhulu nomncane kuwo wonke umuntu, futhi empeleni ubungako balo msebenzi buyehlukahluka. Abanye abantu bawuhlobo oluhle, basheshe baqonde izinto masisha, kanti nokukhanyiseleka kukaMoya oNgcwele ngaphakathi kubona kukhulu; abanye abantu bawuhlobo olubuthakathaka, futhi kubathatha isikhathi eside ukuqonda izinto, kodwa uMoya oNgcwele uyabathinta ngaphakathi, nabo, futhi, bayakwazi ukufinyelela ukwethembeka kuNkulunkulu—uMoya oNgcwele usebenza kubo bonke labo abamfunayo uNkulunkulu. Uma, empilweni yansukuzonke, abantu bengamphikisi uNkulunkulu, noma baphendukele uNkulunkulu, abenzi izinto eziphambene nobuholi bukaNkulunkulu, futhi bengathikamezi umsebenzi kaNkulunkulu, kumuntu ngamunye wabo uMoya kaNkulunkulu usebenza kakhulu ngendlela enkulu noma encane, futhi ubathinte, ubakhanyisele, ubanikeze ukholo, ubanikeze amandla, futhi ubanyakazise basebenze bakhuthale, bangavilaphi noma balangazelele intokozo yenyama, bazimisele ukwenza iqiniso, belangazelele amazwi kaNkulukulu—wonke lo msebenzi uqhamuka kuMoya oNgcwele.

Uma isimo sabantu sesingesona esejwayelekile, bayashiywa nguMoya oNgcwele, kuba nokuxokozela ngaphakathi kubona, izintshisekelo zabo azilungile, bayavilapha, bathokozisa inyama, futhi izinhliziyo zabo ziyamelana neqiniso, futhi konke lokhu kuvela kuSathane. Uma izimo zabantu zingasezona ezijwayelekile, lapho sezimnyama ngaphakathi kubona futhi sebelahlekelwe ukucabanga okuhluzekile, sebelahlwe nguMoya oNgcwele, futhi abakwazi ukuzwa uNkulunkulu ngaphakathi kubona, yilapho uSathane esesebenza ngaphakathi kubona. Uma abantu ngaso sonke isikhathi benamandla ngaphakathi kubona futhi ngaso sonke isikhathi bethanda uNkulunkulu, ngokujwayelekile uma izinto zenzeka kubona zivela kuMoya oNgcwele, futhi nanoma ubani abahlangana naye uba umphumela wamalungiselelo kaNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma izimo zakho zingezijwayelekile, uma usemsebenzini omkhulu kaMoya oNgcwele, lapho-ke akwenzeki ukuba uSathane akwenze ungabaze; phezu kwalesi sisekelo kungashiwo ukuthi yonke into ivela kuMoya oNgcwele, futhi yize ungaba nemicabango engalungile, uyakwazi ukuyiphikisa, ungayilandeli. Konke lokhu kuvela emsebenzini kaMoya oNgcwele. Yikuziphi izimo lapho uSathane engenelela khona? Uma izimo zakho zingasezona ezijwayelekile, uma ungazange uthintwe uNkulunkulu, futhi ungenawo umsebenzi kaNkulunkulu, sewomile ungenalutho ngaphakathi kuwena, udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu kodwa ungakhanyiseleki noma ungakhanyelwa—yikulezi zikhathi lapho kulula khona ukuba uSathane asebenze ngaphakathi kuwena. Ngamanye amazwi, uma usushiywe uMoya oNgcwele futhi ngeke ukwazi ukumuzwaa uNkulunkulu, lapho izinto eziningi zenzeka kuwena ezivela ezilingweni zikaSathane. USathane usebenza ngesikhathi esifanayo nangesikhathi sokusebenza kukaMoya oNgcwele, futhi uthikameza umuntu ngesikhathi esifanayo nangesikhathi uMoya oNgcwele athinta ngaso umuntu ngaphakathi; ezikhathini ezifana nalezi, noma kunjalo, umsebenzi kaMoya oNgcwele uthatha indima yokuhola, futhi abantu abanezimo ezijwayelekile banganqoba, okuwukunqoba komsebenzi kaMoya oNgcwele phezu komsebenzi kaSathane. Kodwa uma uMoya oNgcwele esebenza, mncane kakhulu umsebenzi kaSathane; uma uMoya oNgcwele esebenza kusuke kusekhona isimo sokungalaleli ngaphakathi ebantwini, futhi konke lokho okwakukhona ekuqaleni kusesekhona, kodwa ngomsebenzi kaMoya oNgcwele kulula kakhulu ukuba abantu bazi izinto ezisemqoka kubona bese isimo sabo sokungalaleli esibhekiswe kuNkulunkulu—yize noma bengakwazi ukuzahlukanisa nalokhu kancane kancane ngokuhamba kwesikhathi. Umsebenzi kaMoya oNgcwele ikakhulukazi ujwayelekile, futhi ngenkathi esebenza kubantu basaqhubeka nokuba nezinkinga, basakhala, basahlupheka, basebuthakathaka, futhi kusekuningi okungabacaceli kahle, kodwa kulesi simo bayakwazi ukuzinqanda ekuhlehleni kuNkulunkulu, futhi bamthande uNkulunkulu, futhi yize bekhala futhi becindezelekile ngaphakathi, basakwazi ukumdumisa uNkulunkulu; umsebenzi kaMoya oNgcwele usengojwayelekile kakhulu, futhi awuwona neze ongamandla angajwayelekile. Abantu abaningi bakholwa ukuthi, uma uMoya oNgcwele eqala nje esebenza, izinguquko ziyenzeka ezimweni zabantu bese izinto ezibalulekile zisuswe kubona. Leyo yinkolelo edukisayo. Uma uMoya oNgcwele esebenza ngaphakathi kumuntu, izinto ezikhombisa ukunganaki zomuntu zisekhona kanti nesimilo sakhe sisuke sisefana, kodwa ngenkathi ethola ukukhanya nokukhanyiseleka kukaMoya oNgcwele, ngakho-ke isimo sakhe siyaguquka, izimo zangaphakathi kuyena ziba ngezijwayelekile, futhi ashintshe ngokushesha. Kokuhlangenwe nakho kwabantu okungokoqobo, ngokuyinhloko bahlangabezana nomsebenzi kaMoya oNgcwele noma kaSathane, futhi uma bengakwazi ukubambelela kulezi zimo, futhi bengakwazi nokwahlukanisa, khona-ke okuhlangenwe nakho okungokoqobo kuyinto ekude kakhulu, ukusho okuthile ngezinguquko zesimo. Yingakho, okubalulekile ekuhlanganeni nomsebenzi kaNkulunkulu kuwukwazi ukubona ngqo phakathi kwezinto ezinjengalezi; ngale ndlela, kuzoba lula kakhulu kubona ukuzibona.

Umsebenzi kaMoya oNgcwele uqhubekela phambili ngenkuthalo, ngenkathi umsebenzi kaSathane uwukubuyela emuva nokunganaki, ukungalaleli uNkulunkulu, ukuphikisana noNkulunkulu, ukulahlekelwa ukholo kuNkulunkulu, kanye nokungazimiseli ngisho ukucula amahubo noma ukusukuma udansele uNkulunkulu. Lokho okuvela ekukhanyiselweni nguMoya oNgcwele akuphoqwa ukuba ukwenze, kodwa kuyazenzekela ngokwemvelo. Uma ukulandela, uzoba neqiniso, futhi uma ungakwenzi lokho, kamuva kuba nokusolwa. Uma kungukukhanyiselwa kukaMoya oNgcwele, lapho-ke akukho okwenzayo okuyothikanyezwa okuthile noma okuyovinjwa, uyokhululwa, kuyoba nendlela oyohamba ngayo wenze izenzo zakho, futhi ngeke ubekelwe noma iyiphi imingcele, futhi ukwazi ukwenza intando kaNkulunkulu. Umsebenzi kaSathane ukudalela ukuthikamezeka ezintweni eziningi, ukwenza ungazimiseli ukuthandaza, uvilaphe ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ungafuni ukuphila impilo yebandla, futhi ukuqhelelanise nempilo yangokomoya. Umsebenzi kaMoya oNgcwele awuthikamezi impilo yakho yansuku zonke futhi awukuthikamezi ukuphila kwakho ngokomoya okujwayelekile. Awukwazi ukubona izinto eziningi ngesikhathi ezenzeka ngaso, kodwa, emva kwezinsuku ezimbalwa, inhliziyo yakho ikhanya kakhudlwana, nomqondo wakho ucace kakhudlwana. Ukwazi ukuba nomqondo othile ngezinto zokomoya bese uya ngokuya ubona ukuthi umcabango uvela kuNkulunkulu noma kuSathane. Ezinye izinto zikwenza uphikisane ngokucace bha noNkulunkulu umvukele uNkulunkulu, noma zikuyekise ukwenza amazwi kaNkulunkulu, futhi lezi zinto zonke zivela kuSathane. Ezinye izinto azicaci bha, futhi awukwazi ukubona ukuthi ziyini ngaleso sikhathi; kamuva-ke, uyabona ukuzibonakalisa kwazo, bese wenza ukwahlukanisa. Uma ukwazi ukubona ngokucacile ukuthi yiziphi izinto ezivela kuSathane futhi yiziphi eziqondiswe nguMoya oNgcwele, khona-ke ngeke udukiswe ezintweni ohlangabezana nazo. Kwesinye isikhathi, uma izimo zakho zingezinhle, unemicabango ekukhiphayo esimweni sokunganaki—okukhombisa ukuthi uma izimo zakho zingathandeki, eminye yemicabango yakho nayo ingaqhamuka kuMoya oNgcwele. Akuhlezi kunjalo uma unganaki, yonke imicabango yakho ithunyelwa nguSathane; uma lokho bekuyiqiniso, ungakwazi nini ukuphendukela esimweni esihle? Emva kokuba sesimweni sokunganaki isikhathi eside, uMoya oNgcwele ukunikeza ithuba lokwenziwa upheleliswe, uyakuthinta, akukhiphe esimweni sakho sokunganaki.

Ukwazi ukuthi uyini umsebenzi kaMoya oNgcwele, nokuthi uyini umsebenzi kaSathane, ungakwazi ukuqhathanisa lokhu kwesakho isimo ngesikhathi ubhekene nezimo zakho, futhi okuhlangenwe nakho kwakho, ngale ndlela kuzoba namaqiniso amaningi ahlobene nesimiso esisesimweni sakho. Uma usukuqonda lokhu, uzokwazi ukulawula isimo sakho njengoba sinjalo, futhi uzokwazi ukwahlukanisa abantu nezinto ezenzeka kuwena, futhi ngeke kudingeke uchithe isikhathi esiningi uzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Yiqiniso, ukuthi nje uma izisusa zilungile, futhi inqobo uma uzimisele ukufuna, kanye nokwenza. Ulimi olufana nalolu—ulimi oluhlobene nezimiso—kufanele lube kokuhlangenwe nakho kwakho. Ngaphandle kwalo, okuhlangenwe nakho kwakho kuzogcwala ukuthikanyezwa nguSathane, nolwazi olungubuwula. Uma ungaqondi ukuthi uMoya oNgcwele usebenza kanjani, lokho kusho ukuthi awazi ukuthi uzongena kanjani, futhi uma ungaqondi ukuthi uSathane usebenza kanjani, ngeke uqonde ukuthi kufanele uqikelele kuphi ezinyathelweni zakho. Abantu kufanele baqonde ukuthi uSathane kanye noMoya oNgcwele basebenza kanjani; bayingxenye ebalulekile ekuphileni kwabantu.

Okwedlule: Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa

Okulandelayo: Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp