Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Isimo SikaNkulunkulu Nalokho Anakho Nayikho | Okucashuniwe 263

August 13, 2020

Kusukela lapho umuntu waqala ukuba namasayensi okuhlalisana kwabantu, umqondo womuntu wagcwala isayensi nolwazi. Isayensi nolwazi lwase luba amathuluzi okubusa isintu, futhi yayingasekho indawo eyanele yokuba umuntu akhonze uNkulunkulu, kanye nezimo ezikahle zokukhonzwa kukaNkulunkulu. Isikhundla sikaNkulunkulu sashona phansi kakhulu enhliziyweni yomuntu. Izwe enhliziyweni yomuntu elingenandawo kaNkulunkulu limnyama, alinalutho alinathemba. Ngakho kwavela ososayensi bezokuhlalisana kwabantu abaningi, ababhali bezemilando, kanye nosopolitiki ukuveza izichasiso ezicatshangiwe zesayensi yokuhlalisana kwabantu, umcabango ngenguquko yabantu, kanye nezinye izichasiso ezicatshangiwe eziphikisa iqiniso lokuthi uNkulunkulu wadala umuntu, ukugcwalisa inhliziyo nomqondo womuntu. Futhi ngale ndlela, labo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala yonke into baba mbalwa kakhulu, futhi labo abakholelwa emcabangweni ngenguquko baba baningi kakhulu. Abantu abaningi kakhulu bathatha imibhalo ngemisebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi Akhe ngenkathi yeTestamente Elidala njengezinsomi nezinganekwane. Ezinhliziyweni zabo abantu baphenduka bangabinandaba nesithunzi nobukhulu bukaNkulunkulu, nemfundiso ethi uNkulunkulu ukhona futhi uyabusa phezu konke. Ukuphila kwesintu nesiphetho samazwe nezizwe akusabalulekile kubo. Umuntu uphila ezweni elingenalutho ezikhathaza kuphela ngokudla, ukuphuza nokushisekela intokozo. … Bambalwa abantu abazihluphayo ngokufuna ukwazi lapho uNkulunkulu enza khona umsebenzi Wakhe namhlanje, noma ukufuna ukuthi usengamela kanjani futhi usihlela kanjani isiphetho somuntu. Futhi ngale ndlela, kungazeki kumuntu, impucuko yabantu iya ngokuya ingakwazi ukuhamba ngokwezifiso zomuntu, futhi baningi abantu abezwa ukuthi njengoba bephila emhlabeni onjalo, ukujabula kwabo kuncane kunalokho kwabantu bangaphambilini. Nabantu bamazwe ayephucuke kakhulu imbala baveza izikhalo ezinjalo. Ngoba ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ababusi nezazi zokuhlalisana kwabantu bazikhathaza kangakanani ukugcina impucuko yabantu, kunhlanga zimuka nomoya. Akekho ongagcwalisa ubuze obusenhliziyweni yomuntu, ngoba akekho ongaba impilo yomuntu, futhi awukho umcabango wezokuhlalisana ongakhulula umuntu ebuzeni obumphethe. Isayensi, ulwazi, inkululeko, intando yeningi, ukungcebeleka, ukunethezeka, lokhu kuyikhefu lesikhashana. Naphezu kwalezi zinto, umuntu uyokona nakanjani futhi akhalele ukwenza okungalungile emphakathini. Lezi zinto ngeke zivimbe ukulangazelela okukhulu nesifiso somuntu sokucwaninga. Ngoba umuntu wenziwa nguNkulunkulu, futhi imihlatshelo engenangqondo kanye nokucwaninga komuntu kuholela kuphela ekuhluphekeni okukhulu. Umuntu uzophila esimweni sokwesaba okungapheli, ngeke azi ukuthi angalimela kanjani ikusasa lesintu, noma angabhekana kanjani nendlela engaphambili. Umuntu uzogcina esaba ngisho isayensi nolwazi, futhi asabe nakakhulu umuzwa wobuze ngaphakathi kuye. Kulo mhlaba, akukhathaleki ukuthi uphila ezweni elikhululekile noma ezweni elingenawo amalungelo esintu, awukwazi nhlobo ukuphunyuka isiphetho sesintu. Noma ngabe ungumbusi noma ungobuswayo, awukwazi nhlobo ukuphunyuka esifisweni sokuthi ucwaninge isimiso, izimfihlakalo kanye nesiphetho sesintu. Akusaphathwa ukuthi awukwazi ukuphunyuka emuzweni odidayo wobuze. Izenzakalo ezinje, ezijwayelekile esintwini sonke, zibizwa ngokuthi imisebenzi ephathelene nokuhlalisana kwabantu yizazi zesayensi yokuhlalisana kwabantu, kepha ayikho indoda eqotho engavela ukuxazulula lezi zinkinga. Umuntu, vele, ungumuntu. Indawo nempilo kaNkulunkulu ayinakuthathwa yinoma ngumuphi umuntu. Isintu asidingi nje kuphela umphakathi onobuqiniso lapho bonke abantu bondlekile futhi belingana futhi bekhululekile, kodwa insindiso kaNkulunkulu kanye nokuhlinzeka Kwakhe impilo kubo. Kulapho umuntu ethola insindiso kaNkulunkulu nokuhlinzeka Kwakhe ngempilo kubo lapho izidingo, ukulangazelela ukucwaninga, kanye nobuze bomoya womuntu kuyoxazululwa. Uma abantu bezwe noma besizwe bengakwazi ukwemukela insindiso kanye nokunakekela kukaNkulunkulu, lelo lizwe noma leso sizwe esinjalo siyohamba indlela eya encithakalweni, eya ebumnyameni, futhi siyobhujiswa nguNkulunkulu.

Mhlawumbe izwe lakho liyaphumelela njengamanje, kodwa uma uvumela abantu ukuthi baphambuke kuNkulunkulu, izwe lakho liyozithola liya ngokuya lingenazo izibusiso zikaNkulunkulu. Impucuko yezwe lakho iyoya ngokuya inyathelwe phansi, kungekudala abantu bayovukela uNkulunkulu futhi baqalekise iZulu. Ngakho, kungazeki kumuntu, isiphetho sezwe siyokwehlelwa incithakalo. UNkulunkulu uzovusa amazwe anamandla ukubhekana nalawo mazwe aqalekiswe nguNkulunkulu, futhi angawasusa ebusweni bomhlaba. Ukuvuka nokuwa kwezwe kukhomba ukuthi ababusi balo bayamkhonza uNkulunkulu noma cha, futhi nokuthi bayabaholela yini abantu babo ukuba basondele kuNkulunkulu futhi bamkhonze. Nokho, kule sikhathi sokugcina, ngenxa yokuthi labo abafuna futhi abakhonza uNkulunkulu ngeqiniso baya ngokuya beba yingcosana, uNkulunkulu uzothela umusa okhethekile kulawo mazwe lapho ukholo olusemthethweni kuwubuKristu. Uwaqoqela ndawonye ukwenza inkambu yabalungile nokho emhlabeni, kuthi lawo mazwe angakholwa nhlobo noma lawo angakhonzi uNkulunkulu weqiniso azoba yizitha zenkambu elungile. Ngale ndlela, uNkulunkulu akanayo kuphela indawo phakathi kwesintu lapho ezokwenza khona umsebenzi Wakhe, kodwa uphinda azuze amazwe angaphatha ngegunya elifanele, ukuze alethe unswinyo nemikhawulo kulawo mazwe amelana noNkulunkulu. Kepha ngale kwalokhu, namanje ababaningi abantu abavelayo ukukhonza uNkulunkulu, ngoba umuntu useduke kakhulu Kuye, futhi uNkulunkulu usenesikhathi eside kakhulu engekho emicabangweni yomuntu. Kusele emhlabeni amazwe enza ukulunga futhi amelane nobubi kuphela. Kodwa lokhu kukude nezifiso zikaNkulunkulu, ngoba abekho ababusi bezwe abangavumela uNkulunkulu ukuthi abuse phezu kwabantu babo, futhi ayikho inhlangano yezepolitiki engaqoqa abantu bayo ndawonye ukukhonza uNkulunkulu; uNkulunkulu uselahlekelwe yindawo Yakhe efanele enhliziyweni yezwe, yesizwe, yeqembu elibusayo, kanye ngisho nasenhliziyweni yawonke umuntu. Nakuba amandla alungileyo ekhona emhlabeni, ukubusa lapho uNkulunkulu engenandawo enhliziyweni yomuntu kuntekenteke. Ngaphandle kwesibusiso sikaNkulunkulu, umkhakha wezepolitiki uyoba yinhlakanhlaka futhi ube sengozini yokuhlaselwa. Esintwini, ukuhlala ngaphandle kwesibusiso sikaNkulunkulu kufana nokungabi nelanga. Akukhathaleki ukuthi ababusi banikela ngokukhuthala okungakanani kubantu babo, akusho lutho ukuthi mingaki imihlangano elungile isintu esizenzayo ndawonye, akukho kulokhu okuyolungisa izinto, noma kuguqule isiphetho sesintu. Umuntu ucabanga ukuthi izwe lapho abantu bondlekile futhi begqokile, lapho abantu bephila khona ngokuthula, yizwe elihle, futhi elinabaholi abalungile. Kepha uNkulunkulu akacabangi kanjalo. Ukholwa ukuthi izwe lapho kungekho muntu omkhonzayo Yena yilelo azolibhubhisa. Indlela yomuntu yokucabanga iphikisana kakhulu nekaNkulunkulu. Ngakho, uma inhloko yezwe ingakhonzi uNkulunkulu, isiphetho salelo zwe kuyoba ngesinosizi, futhi izwe ngeke libe nampokophelo.

UNkulunkulu akangeni kwezepolitiki yabantu, kepha isiphetho sezwe noma isizwe silawulwa nguNkulunkulu. UNkulunkulu ulawula lomhlaba kanye nomhlaba wonke jikelele. Isiphetho somuntu kanye nohlelo lukaNkulunkulu kuxhumene ngokusondelelene, futhi akekho umuntu, izwe noma isizwe esikhishelwe ngaphandle ebukhosini bukaNkulunkulu. Uma umuntu efisa ukwazi isiphetho sakhe, kufanele eze phambi kukaNkulunkulu. UNkulunkulu uzokwenza labo abamlandelayo nabamkhonzayo ukuthi baphumelele, futhi uzoletha ukuncipha nobhubhiso kulabo abamelana Naye nabamalayo.

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp