Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke: Iziphetho Nemiphumela | Okucashuniwe 590

October 23, 2020

Lapho umsebenzi wokunqoba sewuqediwe, umuntu uzolethwa ezweni elihle Le mpilo, phela, izobe isesekhona emhlabeni, kodwa izobe ingasafani nhlobo nempilo yomuntu yanamuhla. Yimpilo sonke isintu esizobanayo lapho isintu sonkana sesinqotshiwe, kuzoba isiqalo esisha somuntu emhlabeni, futhi ukuba isintu sibe nempilo enhle kangako, kuyobe kuwubufakazi bokuthi isintu sesingene embusweni omusha futhi omuhle. Kuzoba wukuqala kwempilo yomuntu noNkulunkulu lapha emhlabeni. Isisekelo sempilo enhle kangaka kufanele kube wukuthi, emuva kokuthi umuntu esenziwe msulwa futhi wanqotshwa, uyazithoba phambi koMdali. Ngakho, umsebenzi wokunqoba, isigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu ngaphambi kokuthi isintu singene esiphethweni esimangalisayo. Impilo enje impilo yesikhathi esizayo yomuntu emhlabeni, yimpilo enhle kunazo zonke emhlabeni, uhlobo lwempilo elangazelelwa ngumuntu, inhlobo umuntu angakaze ayithole emlandweni womhlaba. Ngumphumela wokugcina womsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, yilokho isintu esikulangazelelayo kunakho konke, futhi kuyisithembiso sikaNkulunkulu kumuntu. Kepha isithembiso sakhe asikwazi ukufezeka masinyane: Umuntu uzongena ekupheleni kwesikhathi esizayo kuphela uma umsebenzi wezinsuku zokugcina sewuqediwe futhi esenqotshiwe ngokuphelele, okungukuthi lapho uSathane esehluliwe nya. Umuntu uzongabi nemvelo enesono uma esecwengiwe, ngoba uNkulunkulu uzobe esemnqobile uSathane, okusho ukuthi ngeke kube khona ukuphazamisa kwamandla anobutha, futhi azobe engekho amandla anobutha angahlasela inyama yomuntu. Ngakho umuntu uzobe ekhululekile futhi engcwele—uzobe esengene kwiphakade. Uma kuphela amandla anobutha eseboshiwe, ilapho umuntu ezobe ekhululekile konke lapho eyakhona, futhi ngaphandle kokudlubulunda noma ukuphikisana. USathane kufanele ukuthi aboshwe nje, ukuze umuntu zimhambele kahle izinto; namhlanje izinto azimhambeli kahle ngoba uSathane usavusa uthuthuva yonke indawo emhlabeni, futhi nangenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha wonke awukafiki ekugcineni kwawo. Uma uSathane esenqotshiwe, umuntu uzobe esekhululekile ngokuphelele; uma umuntu ezuza uNkulunkulu futhi ephuma ngaphansi kwamandla kaSathane, uyobona iLanga lokulunga. Impilo efanele umuntu ojwayelekile izobe seyizuzekile futhi; konke okufanele kube ngokomuntu ojwayelekile—njengekhono lokuhlukanisa phakathi kokubi nokuhle, nokuqonda ukuthi kufanele sidle futhi sigqoke kanjani, nekhono lokuphila ngokujwayelekile—konke lokhu kuzobe sekutholakele futhi. Noma u-Eva wayengazange alingwe inyoka, umuntu bekufanele ngabe ubenale mpilo ejwayelekile emuva kokuba esedaliwe ekuqaleni. Bekufanele ngabe wadla, wagqoka, futhi waphila impilo yomuntu ejwayelekile emhlabeni. Kepha emuva kokuba umuntu esonakele, le mpilo yaphenduka iphupho elingenakufezeka, futhi kuze kube inamuhla umuntu akalokothi acabange ngamehlo engqondo izinto ezinjenga lezi. Empeleni, le mpilo enhle umuntu ayilangazelelayo, iyisidingo: Uma umuntu ubengenaso isiphetho esinje, impilo yakhe eyonakele emhlabeni beyingeke ikhawuke, futhi ukuba beyingekho impilo enhle kangaka, bekungeke kube khona isiphetho ngesimiselo sikaSathane noma isiphetho kule nkathi lapho uSathane ebusa khona emhlabeni. Umuntu kufanele afike embusweni lapho amandla obumnyama engenaku finyelela khona, futhi lapho efika khona, lokho kuyofakazela ukuthi uSathane usehluliwe. Ngale ndlela, uma kungasekho kuthikamezeka nguSathane, uNkulunkulu uqobo Lwakhe uyolawula isintu, futhi uyoyala aphinde alawule impilo yomuntu yonke; yilokhu kuphela okuyoba ukuhlulwa kukaSathane. Impilo yomuntu namuhlanje impilo enokungcola esikhathini esiningi, futhi iphinde ibe impilo yokuhlupheka nosizi. Lokhu ngeke kuthiwe ukuhlulwa kukaSathane; umuntu akakaphunyuki olwandle losizi, akakaphunyuki ebunzimeni bempilo yomuntu, noma ithonya likaSathane, futhi usenolwazi oluncinyane kakhulu ngoNkulunkulu. Bonke ubunzima bomuntu badalwa nguSathane, uSathane owaletha izinhlupheko empilweni yomuntu, futhi kuphela uma uSathane eseboshiwe umuntu uyokwazi ukuphunyuka ngokuphelele olwandle losizi. Kepha ukuboshwa kukaSathane kufezeka ngokunqotshwa nokuzuzwa kwenhliziyo yomuntu, ngokwenza umuntu impango empini noSathane.

Kucashunwe embhalweni othi Izwi Livela Lisenyameni

God’s Promise to Man in the Last Days

I

Once the work of conquest is complete, man will enter a beautiful world. Life will still be on earth, but unlike today. It’s the new life after man’s conquering, proof of entering a new realm, the beginning of man’s life with God on earth. Man’s future life on earth is beautiful and longed for, never seen in the history of the world. It’s the final outcome of six thousand years’ work. It’s what man yearns for most, and God’s promise to man. It’s what man yearns for most, and God’s promise to man.

II

The premise of this life is that man has been purified, conquered, and then submits to the Creator. And so, the work of conquest is the last stage of God’s work before mankind enters such a wonderful place. Man’s future life on earth is beautiful and longed for, never seen in the history of the world. It’s the final outcome of six thousand years’ work. It’s what man yearns for most, and God’s promise to man. It’s what man yearns for most, and God’s promise to man, to man.

III

This promise can’t come now: Man will reach the future destination only once the work of the last days is done; once man has been completely conquered, once Satan has been defeated. Man’s future life on earth is beautiful and longed for, never seen in the history of the world. It’s the final outcome of six thousand years’ work. It’s what man yearns for most, and God’s promise to man. It’s what man yearns for most, and God’s promise to man, to man.

from Follow the Lamb and Sing New Songs

Buka okuningi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Leave a Reply

Abela

Khansela

Sithinte nge-Whatsapp