400 Lokho Abakholwa KuNkulunkulu Okufanele Bakufune
I
Ungakanani umsebenzi uNkulunkulu awenzile kuwe?
Kungakanani osudlule kukho futhi wakuzwa?
Uyakuvivinya, uyakuqondisa. Wenza umsebenzi Wakhe kuwe.
Njengalowo ofuna ukuphelelisa kukaNkulunkulu, ungaziveza yini zonke izenzo Zakhe,
unikeze abanye ngokuhlangenwe nakho futhi uzikhandle ukuze wenze umsebenzi Wakhe?
Funa ukuveza izenzo zikaNkulunkulu.
Yiba ukuvezwa nokubonakaliswa Kwakhe okungokoqobo ngempela.
Futhi ufanele ukusetshenziswa Nguye.
II
Ukuze unikeze ubufakazi ngezenzo zikaNkulunkulu, khombisa abanye ngohlangene nakho kwakho,
nolwazi nokuhlupheka okuzwile.
Funa lokhu futhi Yena uyokuphelelisa.
Uma ufuna ukuphelelisa kukaNkulunkulu ukuze nje uthole izibusiso Zakhe ekugcineni,
kufakazela ukuthi umbono wakho ngokukholwa kuNkulunkulu awumsulwa.
Funa ukuveza izenzo zikaNkulunkulu.
Yiba ukuvezwa nokubonakaliswa Kwakhe okungokoqobo ngempela.
Futhi ufanele ukusetshenziswa Nguye.
III
Kufanele njalo uzame ukuthola indlela yokubona izenzo zikaNkulunkulu empilweni yangempela
nendlela yokumanelisa lapho ekhombisa intando Yakhe kuwe.
Kufanele ufune ukufakaza ngokumangalisa Kwakhe nokuhlakanipha Kwakhe,
ufunde indlela yokubonisa ukuyala, nokubhekana Kwakhe nawe.
IV
Uma uthando lwakho lungokwabelana nenkazimulo Yakhe nje, lokhu ngeke kufinyelele ezimfunekweni Zakhe.
Bona izenzo Zakhe, feza izimfuno Zakhe,
bese wedlula emsebenzini Wakhe awenze kubantu.
Noma ubuhlungu, izinyembezi noma usizi, kuzwe konke ekwenzeni.
Udinga ukwenza yonke le misebenzi ukuze ube ngufakazi kaJehova.
Funa ukuveza izenzo zikaNkulunkulu.
Yiba ukuvezwa nokubonakaliswa Kwakhe okungokoqobo ngempela.
Futhi ufanele ukusetshenziswa Nguye.
Funa ukuveza izenzo zikaNkulunkulu.
Yiba ukuvezwa nokubonakaliswa Kwakhe okungokoqobo ngempela.
Futhi ufanele ukusetshenziswa Nguye. Futhi ufanele ukusetshenziswa Nguye.