A. Izimfuneko ZikaNkulunkulu Kumuntu

605. Manje sekumele niphokophelele ukuba abantu bakaNkulunkulu, bese niqala ukungena ngokuphelele endleleni eyiyo. Ukuba ngabantu bakaNkulunkulu kusho ukungena eNkathini YoMbuso. Namuhla, niqala ukungena ngokusemthethweni ekuqeqeshelweni umbuso, kanti nezimpilo zenu zekusasa zizoyeka ukuhuduleka njengasekuqaleni; izimpilo ezinjalo angeke zikwazi ukufinyelela emazingeni adingwa uNkulunkulu. Uma ungenawo umuzwa wokuphuthuma, lokho kusho ukuthi awuzimisele ukuzithuthukisa, kusho ukuthi lokhu okuphokophelele kudungekile futhi kuyadida, futhi ngeke ukwazi ukufeza intando kaNkulunkulu. Ukungena ekuqeqeshelweni umbuso kusho ukuqala kwempilo yabantu bakaNkulunkulu—ingabe uzimisele ukwamukela lolu hlobo lokuqeqeshwa? Ingabe uzimisele ukuba nomuzwa wesimo esiphuthumayo? Ingabe uzimisele ukuphila ngokuyalwa uNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukuphila ngokusolwa nguNkulunkulu? Uma amazwi kaNkulunkulu ekuvivinya lapho efika kuwe, uzokwenzenjani? Uyokwenzenjani uma ubhekene nazo zonke izinhlobo zamaqiniso? Esikhathini esedlule, wawungagxilile ekuphileni; namuhla, kumele ungene eqinisweni lokuphila, bese uphokophelela izinguquko esimweni sempilo yakho. Lokhu yikho okumele abantu bombuso bakufeze. Bonke labo abangabantu bakaNkulunkulu kumele babe nokuphila, kumele bamukele ukuqeqeshelwa umbuso, futhi baphokophelele izinguquko esimweni sempilo yabo. Lokhu yikho uNkulunkulu akudingayo kubantu bombuso.

Okudingwa uNkulunkulu kubantu bombuso yilokhu okulandelayo:

1. Kumele bamukele umsebenzi kaNkulunkulu, okungukuthi, kumele bamukele wonke amazwi akhulunywa emsebenzini kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina.

2. Kumele bangene ekuqeqeshelweni umbuso.

3. Kumele baphokophelele ukuba izinhliziyo zabo zithintwe nguNkulunkulu. Uma inhliziyo yakho isiphendukele kuNkulunkulu ngokugcwele, futhi unempilo yakamoya ejwayelekile, uzophila endaweni yenkululeko, okusho ukuthi uzophila ngaphansi kokunakekelwa nokuvikelwa nguNkulunkulu ube ngokaNkulunkulu.

4. Kumele bazuzwe nguNkulunkulu.

5. Kumele babonakalise inkazimulo kaNkulunkulu emhlabeni.

La maphuzu amahlanu angumyalelo waMi kini. Amazwi aMi akhulunywa kubantu bakaNkulunkulu, kanti uma ungazimisele ukwamukela le miyalelo, ngeke ngikuphoqe—kodwa uma uyamukela ngeqiniso, uzokwazi ukwenza intando kaNkulunkulu. Namuhla niqala ukwamukela imiyalelo kaNkulunkulu, niphokophelele ukuba ngabantu bombuso futhi nifinyelele emazingeni adingekayo kubantu bombuso. Lesi yisinyathelo sokuqala sokungena. Uma ufisa ukwenza ngokuphelele intando kaNkulunkulu, kumele wamukele le miyalelo emihlanu, kanti uma ukwazi ukufinyelela kuyo, uzobe usufuna inhliziyo kaNkulunkulu bese uba usizo olukhulu kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni Zakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

606. Lokho okuthole njengefa namuhla kwedlula okwabapostoli nabaphrofethi bakudala bonke futhi kukhulu kunalokho okukaMose noPetru. Izibusiso azisoze zitholwe ngelanga noma amabili, kufanele zizuzwe ngokuzidela okukhulu. Okusho ukuthi ufanele ube nothando oluhlanzekile, ukholo olukhulu, namaqiniso amaningi lawo uNkulunkulu akucela ukuba ube nawo; phezu kwalokho, ufanele ukuba ubhekise ubuso bakho kubulungisa ungaze uzigogobeze noma uzibeke phansi, futhi ufanele ukuba nothando olungaguquki futhi olunganciphi kuNkulunkulu. Kudingeka wenze isinqumo, njengoba kunoguquko esimweni sempilo yakho; inkohlakalo yakho kufanele yelashwe, kufanele wamukele konke ukuhlela kuNkulunkulu ngaphandle kokukhononda, futhi ulalele kuze kube sekufeni. Yilokhu okufanele ukuzuze. Lokhu yinhloso yokugcina yomsebenzi kaNkulunkulu, nokudingwa uNkulunkulu kuleli qembu labantu. Njengoba ekunikeza, Naye ke kufanele acele kuwe ukuze akunike lokhu okudingayo nawe. Ngakho-ke, yonke imisebenzi kaNkulunkulu inezizathu, futhi kulokhu kuyabonakala ukuthi kungani uNkulunkulu njalo enza umsebenzi osezingeni eliphakeme nonezidingo eziqinile. Yingakho kufanele ugcwaliswe ngokholo kuNkulunkulu. Ngamafuphi, wonke umsebenzi kaNkulunkulu wenziwe ngenxa yakho ukuze ufanele ukuthola ifa Lakhe. Lokhu akukona kangako ukuthi uNkulunkulu athole inkazimulo kodwa kungenxa yosindiso lwakho nokuphelelisa leli qembu labantu abahlupheke kakhulu ezweni elingahlanzekile. Kufanele uqonde intando kaNkulunkulu. Ngakho ngishumayeza abaningi abantu abangenalwazi abangenambono noma umqondo: Ungalingi uNkulunkulu futhi unganqabi. uNkulunkulu usekumele konke ukuhlupheka lokho umuntu angakadluli kukona, kanti kudala wahlushwa kakhulu endaweni yomuntu. Yini enye ongeke uhlukane nayo? Yini engabaluleka kakhulu ukwedlula intando kaNkulunkulu? Yini engadlula uthando lukaNkulunkulu? Kuwumsebenzi ongumshikashika ophindiwe kaNkulunkulu ukuba awenze kule lizwe elingahlanzekile. Uma umuntu ona, azi futhi ehlosile, umsebenzi kaNkulunkulu uzofanela ukwelulwa. Vele, lokhu akubi ukuzuza komunye, futhi akuhlomuli muntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ngabe Umsebenzi KaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

607. Amazwi engiwakhulumayo angamaqiniso abhekiswe esintwini sonke, hhayi kumuntu othile noma uhlobo lomuntu. Ngakho-ke, gxilisani imiqondo ekwamukeleni amazwi Ami ngokombono weqiniso futhi nigcine isimo sengqondo sokunakisisa nokuba qotho. Ningazibi ngisho nelilodwa izwi noma iqiniso engilishoyo, ningawathathi amazwi Ami ngendelelo. Ezimpilweni zenu, ngibona okuningi enikwenzayo okungahlangene neqiniso, ngakho-ke ngininxusa ngokusobala ukuba nibe yizisebenzi zeqiniso futhi ningagqilazwa ukungalungi kanye nobubi. Ningalinyatheli iqiniso futhi ningcolise noma iliphi igumbi lendlu kaNkulunkulu. Lesi yisexwayiso Sami kini.

Kucashunwe embhalweni othi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

608. Ngethemba kuphela ukuthi ngeke nikuchithe ukuzikhandla kwami, futhi ngaphezu kwalokho, ukuthi nizokuqonda konke ukunakekela okunokucabanga engikwenzile, namukele amazwi Ami njengesisekelo sendlela eniziphatha ngayo njengabantu. Noma ngabe awuhlobo lwamazwi enizimisele ukuwalalela noma cha, noma ngabe nijabulela ukuwamukela noma niwamukela ngokungakhululeki kuphela, kufanele niwathathe njengabalulekile. Ngaphandle kwalokho, izimo nokuziphatha kwenu kokuthatha kalula izinto kanye nokungabi nandaba kuzongenza ngingajabuli ngempela, futhi ngempela, kuzongicasula. Ngethemba kakhulu ukuthi nonke nizowafunda ngokuphindaphinda amazwi Ami—izikhathi eziyizinkulungwane—nokuthi nize niwazi ngenhliziyo. Yile ndlela kuphela eniyokwazi ngayo ukwenza lokho engikulindele kini. Nokho, akekho noyedwa phakathi kwenu ophila kanje manje. Kunalokho, nonke nicwile empilweni eyonakele, impilo yokuphuza nokudla nize nikubuke, futhi akekho phakathi kwenu osebenzisa amazwi Ami ukuze nicebise izinhliziyo kanye nemiphefumulo yenu. Yilesi isizathu esenze ngaphetha ngokuthi isimo sangempela sesintu siwukuthi: Umuntu angangikhaphela noma nini, futhi akekho noyedwa ongathembeka ngokuphelele emazwini Ami.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

609. UNkulunkulu ufuna uthando oluphelele kumuntu, uNkulunkulu ufuna umuntu agcwale amazwi Akhe futhi amthande. Lezi yizinto umuntu okumele azifinyelele ukuze aphile emazwini kaNkulunkulu, athole lokho umuntu akufunayo emazwini kaNkulunkulu, athande uNkulunkulu ngenxa yamazwi Akhe, azulazule ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, futhi aphile ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Yonke into kumele yakhelwe emazwini kaNkulunkulu, futhi umuntu uyokwazi ngaleyo ndlela kuphela ukufinyelela izimfuno zikaNkulunkulu. Uma umuntu engahlonyisiwe ngamazwi kaNkulunkulu, usuke efana nesibungu sikaSathane. Kala enhliziyweni yakho, ukuthi angakanani amazwi kaNkulunkulu asenezimpande ngaphakathi kuwe? Yiziphi izinto ophila ngazo ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Yiziphi izinto obungaphili kuzo ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Uma amazwi kaNkulunkulu engakakubambi ngokugcwele, yini-ke ngempela esenhliziyweni yakho? Ekuphileni kwakho kwamihla yonke, ingabe ulawulwa uSathane, noma uphethwe ngamazwi kaNkulunkulu? Ingabe imithandazo yakho isuka emazwini kaNkulunkulu? Ingabe ukukhanyiselwa amazwi kaNkulunkulu kukukhiphile esimweni esingesihle? Nakhu okufanele kwenziwe yiwo wonke umuntu ukuze enze amazwi kaNkulunkulu abe isisekelo sokuba khona kwakhe. Uma amazwi kaNkulunkulu engekho ekuphileni kwakho, kusho ukuthi uphila ngaphansi kwamandla obumnyama, uyisihlubuki kuNkulunkulu, uphikisana noNkulunkulu, awulihloniphi igama likaNkulunkulu, futhi inkolelo enjalo yomuntu kuNkulunkulu imane nje ibanga ukona, iyisiphazamiso. Ingakanani ingxenye yokuphila kwakho oyiphila ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Ingakanani ongayiphili ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu? Kulokhu amazwi kaNkulunkulu akufuna kuwe, kungakanani okufeziwe kuwe? Kungakanani okulahlekile kuwe? Ingabe wake wazihlolisisa izinto ezinjalo?

Kucashunwe embhalweni othi “Phunyuka Emandleni Obumnyama, Futhi Uzozuzwa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

610. Ingabe uyafisa ukuthokozela izibusiso Zami emhlabeni, izibusizo ezifana nalezi ezisezulwini? Ingabe uyafisa ukuphatha ukungiqonda Mina, nokuthokozela amazwi Ami nolwazi Lwami, njengezinto eziyigugu nezibalulekile empilweni yakho? Ingabe uyakwazi ukuzithoba ngokweqiniso Kimi, ngaphandle kokucabanga ngokuthi uzotholani? Ingabe niyakwazi ukuzivumela ukuba nibulawe Yimi, niholwe Yimi, njengezimvu? Ingabe bakhona phakathi kwenu abakwaziyo ukuzenza lezi zinto? Kungenzeka ukuthi bonke abemukelwe Yimi nabathole izethembiso Zami yilabo abazuze izibusiso Zami? Ingabe kukhona enikuqondile kulawa mazwi? Uma nginivivinya, ningazibeka ngempela emseni Wami, futhi, phakathi kwalokhu kulingwa, funani izinhloso Zami nibone nenhliziyo Yami? Angifuni ukuba ukwazi ukukhuluma amagama athinta abantu, noma nixoxe izindaba ezimnandi; kunalokho, ngicela ukuthi ukwazi ukuba nobufakazi Ngami, nokuthi ukwazi ukungena ujule eqinisweni. Uma bengingakhulumanga ngqo, ubuzokwazi ukushiya konke okukuzungezile uvumele ukusetshenziswa Yimi? Ingabe lokhu akulona iqiniso engilidingayo? Ubani okwaziyo ukubamba incazelo yamazwi Ami? Kodwa ngicela ukuba ningabe nisasindwa ukungabaza, ukuba nisebenze ekungeneni kwenu futhi nibambe isiqu samazwi Ami. Lokhu kuzovimbela ukuba ungenzi iphutha ekuqondeni amazwi Ami, nokungacaciseleki ngencazelo Yami, bese niphula izinqumo Zami zokuphatha. Ngifisa ukuba nibambe izinhloso Zami ngani emazwini Ami. Ningazicabangeli ngenizokuthola, nenze njengoba ninqumile phambi Kwami ukuthi nithobele izinhlelo zikaNkulunkulu kuzo zonke izinto. Nonke nina enima endlini Yami kumele nenze okuningi eningakwazi ukukwenza; kumele nizinikele esigabeni sokugcina somsebenzi Wami emhlabeni. Ingabe niyafisa ngempela ukwenza lezi zinto?

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 4” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

611. Ngazo zonke izikhathi, abantu Bami kumele baqaphele amacebo amabi kaSathane, bavikele isango lendlu Yami, bakwazi ukwesekelana bodwa bephana omunye nomunye, okuzovika ukuthi ningaweli ogibeni lukaSathane, ngaleso sikhathi sobe sesidlule isikhathi sokuzisola. Kungani Nginiqeqesha ngokuphuthuma okunje? Kungani Nginitshela ngamaqiniso omhlaba kamoya? Kungani Nginikhumbuza ngokunigcinezela zikhathi zonke? Nike nakucabanga lokhu? Nike nakubuka ngamehlo engqondo? Ngakho, akukhona ukuthi kuphela nidinga ukulolongwa ngokulandela isesekelo senkathi edlule, kodwa, ngaphezu kwalokho, ukususa ukungahlanzeki okukini ngaphansi kwesiqondiso samazwi anamuhla, ngokuvumela izwi nezwi Lami ukuba abe yimpande aqhakaze emoyeni wakho, futhi okubaluleke kakhulu, kuthele izithelo. Kungoba lokho eNgikucelayo akukhanyi, akumbali ekhanyayo, kodwa kuyisithelo esiphisanayo—isithelo, yini okunye, okungasoze konakala. Ngabe uyayiqonda na incazelo yempela yamazwi Ami? Nakuba izimbali endlini okutshalwe kuyo izinto eziluhlaza ziningi zilingana nezinkanyezi, ziheha bonke abavakashi, lapho sezibunile, ziba ngezidabuke njengamacebo kaSathane enkohliso, akukho namunye okhombisa ukuzifisa. Kodwa kulabo abazanyazanyiswe yimimoya bashiswa nayilanga futhi abanobufakazi Ngami, nakuba lezi zimbali zingezinhle, lapho zibuna kuba yikhona kufika izithelo, ngokuba lesi siyisidingo Sami. Uma Ngikhuluma lawa mazwi, kungakanani okuqondayo? Lapho izimbali sezibunile zathela nezithelo, nalapho zonke lezi zithelo zabiwa ukuze ngizithokozele Mina, Ngizowuphetha umsebenzi Wami emhlabeni, Ngiqale ukujabulela ukubonakaliswa kobuhlakani Bami.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 3” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

612. Abantu asebekholwe kuNkulunkulu isikhathi eside, manje sebenethemba lesiphetho esihle, bonke abantu abakholwa kuNkulunkulu bathemba ukuthi bazovelelwa inhlanhla ngokuphazima kweso, bonke bathemba ukuthi bengazelele bayozithola behleli ngokuthula endaweni eyodwa noma kwenye ezulwini. Kodwa ngithi laba bantu kanye nemibono yabo emihle abakaze bazi ukuthi zibafanele yini lezo zinto ezinhle ezivela ezulwini, noma ukuhlala esihlalweni ezulwini. Nina okwamanje nizazi kahle, kodwa nethemba ukuthi ningakwazi ukuphunyuka ezinhlekeleleni zezinsuku zokugcina nasesandleni sikaSomandla esijezisa ababi. Kubonakala sengathi ukuphupha kahle nokufuna izinto zinjengoba bethanda kuyisici esivamile kubo bonke abantu abonakaliswe uSathane, akuwona umbono ohlakaniphile womuntu oyedwa. Noma kunjalo, ngisafuna ukuqeda ngezifiso zenu zokweqisa kanye nokulangazelela kwenu ukuthola izibusiso. Ngenxa yokuthi iziphambeko zenu ziningi kakhulu nokungalaleli kwenu kuningi futhi kuyanda, lokhu kungahlangabezana kanjani nekusasa lenu elihle elilotshiwe? Uma ufuna ukuhamba ngendlela oyithandayo yokuba sephutheni, kungenalutho oludonsela emuva, kodwa usafuna amaphupho afezeke, ngiyakunxusa ukuthi uqhubeke nokozela kwakho futhi ungalokothi uvuke—ngoba iphupho lakho alinalutho, futhi ebukhoneni bukaNkulunkulu olungile ngeke akubuke ngokwehlukile. Uma ufuna nje ukuthi amaphupho afezeke, ungalokothi uphuphe, kodwa hlale ubhekana neqiniso, ubhekane namaqiniso. Leyo ukuphela kwendlela ongasindiswa ngayo. Ngokungagwegwesi yiziphi izinyathelo zale ndlela?

Okokuqala, hlola zonke iziphambeko zakho, futhi uhlole konke ukuziphatha kwakho nemicabango engahambisani neqiniso.

Lena yinto eningayenza kalula, futhi ngikholwa ukuthi abantu abacabangayo bangakwazi ukuyenza. Nokho, ababalwa labo bantu abangasoze bazi ukuthi sisho ukuthini isiphambeko neqiniso, ngoba empeleni ababona abantu abacabangayo. Ngikhuluma nabantu abamukelwe uNkulunkulu, abathembekile, abangakaze bazone ngempela izinqumo zokuqondisa, abangazithola kalula iziphambeko zabo. Nakuba lena kuyinto engiyifuna kini futhi elula kini, akuyona ukuphela kwento engiyifuna kini. Kungakhathaleki ukuthi kwenzekani, ngethemba ukuthi ngeke nihleke ngasese ngale nto engiyifunayo, noma okubi nakakhulu, ukuthi ngeke niyibukele phansi noma niyithathe kancane. Iphatheni njengebalulekile, ningayichithi.

Okwesibili, eziphambekweni nasekungalalelini ngakunye kwakho, funa amaqiniso ahambisanayo futhi usebenzise la maqiniso ukuze ukulungise, ususe izenzo eziyiphutha nemicabango yokungalaleli futhi wenze iqiniso.

Okwesithathu, yiba umuntu othembekile, hhayi umuntu ohlale eyisihlakaniphi, ohlale eyiqili. (Ngiyaphinda ngiyanicela futhi ukuthi nibe abantu abathembekile.)

Uma ungakwazi ukufeza zontathu lezi zinto kungasho ukuthi usenhlanhleni, umuntu okufezeka amaphupho akhe nothola inhlanhla. Mhlawumbe uzozibheka njengezibalulekile lezi zicelo ezintathu ezingakhangi, noma mhlawumbe ungabi nandaba nazo. Kunoma ikuphi, injongo Yami ukufeza amaphupho akho, ngenze imibono yenu, hhayi ukuhlekisa ngani noma ukunenza izilima.

Kucashunwe embhalweni othi “Iziphambeko Ziyoholela Umuntu Esihogweni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

613. Nginezifiso eziningi. Ngifisa sengathi ningaziphatha ngendlela efanele, nithembeke ekufezeni umsebenzi wenu, nibe neqiniso nobuntu, nibe ngabantu abangadela konke banikele ngokuphila kwabo ngenxa kaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mathemba asuka ekuntuleni nasekukhohlakaleni kanye nasekungalalelini kwenu. Uma noma iyiphi yezingxoxo engibe nazo nani inganele ukuba niyinake, mhlawumbe okuwukuphela kwento engingayenza ukungasho lutho. Kodwa, niyayiqonda imiphumela yalokho. Angiphumuli, ngakho uma ngingakhulumi, ngizokwenza okuthile abantu abazokubona. Ngingabolisa ulimi lomuntu, noma umuntu afe eyizicucu, noma nginike abantu imizwa engaphilile futhi ngibenze babukeke bebabi ngezindlela eziningi. Futhi-ke, ngingenza abanye abantu babekezelele ukuhlukumezeka engibabekele khona. Ngale ndlela ngiyojabula, ngithokoze kakhulu futhi ngename. Bekuhlale kuthiwa, “Okuhle kubuyiswa ngokuhle, nokubi ngokubi,” pho kungani kungabi njalo manje? Uma ufuna ukumelana Nami futhi ufuna ukungahlulela, ngizobolisa umlomo wakho, futhi lokho kuyongijabulisa ngokungapheli. Lokhu kungenxa yokuthi ekugcineni, lokhu okwenzile akulona iqiniso, ingasaphathwa eyokuphathelana nokuphila, kuyilapho konke engikwenzayo kuyiqiniso, yonke into ibalulekile emiyalweni yomsebenzi Wami nasezinqumweni zokuphatha engizilobile. Ngakho, nginxusa ngamunye kini ukuba aqongelele ukulunga, ayeke ukwenza ububi obungaka, futhi ninake izimfuno zami ngesikhathi senu. Ngakho ngiyojabula. Uma ubuzonikela eqinisweni okukodwa enkulungwaneni kwemizamo oyifaka kokwenyama, khona-ke ngithi ubungeke ube neziphambeko njalo futhi nomlomo obolile. Akukho yini sobala lokhu?

Kucashunwe embhalweni othi “Iziphambeko Ziyoholela Umuntu Esihogweni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

614. Njengesinye sezidalwa, umuntu kufanele agcine indawo yakhe, aphinde aziphathe ngokuqikelela futhi aqaphe ngokuzimisela lokho akuphathiswe nguMdali. Umuntu akufuneki enze okungafanele, okuyiphutha, noma enze izinto ezingaphandle kwekhono kakhe noma enze izinto ezizondwayo nguNkulunkulu. Umuntu akufanele azame ukuba mkhulu, noma ukuba ngovelele, ongaphezu kwabanye, noma afune ukuba nguNkulunkulu. Ilokhu okufanele bangafisi ukuba yikho. Ukufuna ukuba mkhulu noma ukuba ngovelele kungubuwula. Ukufuna ukuba uNkulunkulu kuyichilo nakakhulu; kuyacasula, futhi kuyanyanyisa. Okuncomekayo, futhi okuyikhona izidalwa ekufanele zibambelele kukho ukuba zibe isidalwa soqobo; iwona mgomo bonke abantu ekufanele bawulandele.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

615. Kufanele umsebenzi wenu niwenze ngokwamandla enu onke ngezinhliziyo ezivulekile neziqotho, nizimisele ukwenza noma yini edingekayo. Njengoba nishilo, lapho kufika usuku, uNkulunkulu ngeke angamnaki lowo ohluphekile noma owakhokha ngenxa Yakhe. Lolu ukholo okufanele sibe nalo, futhi akufanele ulukhohlwe. Yile ndlela kuphela engingakhulula ngayo ingqondo yami ngani. Ngale kwalokho, angisoze ngakwazi ukukhululeka ngani, futhi ngiyohlale nginganifuni. Uma nonke ningalandela unembeza wenu ningenzele konke, nizame konke emsebenzini wami, futhi ninikele ngokuphila kwenu emsebenzini wami wevangeli, ngeke yini inhliziyo yami ijabule ngani? Ngeke yini ngikhululeke ngokugcwele engqondweni mayelana nani?

Kucashunwe embhalweni othi “Isiphetho Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

616. Uyakwazi yini ukwethula isimo esivezwa uNkulunkulu enkathini ngayinye ngendlela ephathekayo, ngolimi olubonakalisa ngokufanele ukubaluleka kwenkathi? Uyakwazi yini, wena ozwa umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina, ukusichaza ngemininingwane isimo sikaNkulunkulu? Ungafakaza yini ngesimo sikaNkulunkulu ngokucacile nangokunembayo? Ungakwedlulisela kanjani okubonile kanye nodlule kukho, kulabo abadabukisayo, abampofu, namakholwa azinikele, alambele futhi omele ukulunga futhi abalindele wena ukuba ubeluse? Hlobo luni lwabantu abalindele wena ukuba ubeluse? Ungabona ngamehlo engqondo? Ngabe uyawazi umthwalo owuthwele, ukuthunywa kwakho, kanye nesibopho sakho? Lukuphi ulwazi lomlando wokuthunywa? Ungasebenza kanjani njengomphathi omuhle enkathini ezayo? Ngabe unawo umqondo ophakeme wokuba ngumphathi? Ungamchaza kanjani umphathi wazo zonke izinto? Ngabe ungumphathi wazo zonke izidalwa eziphilayo kanye nazo zonke izinto ezisezweni ngempela? Yiziphi izinhlelo onazo zokuthuthuka kwesinyathelo esilandelayo somsebenzi? Bangaki abantu abalinde wena ukuba ube umelusi wabo? Ngabe umthwalo wakho ungosindayo? Bampofu, bayadabukisa, bayizimpuphuthe, futhi balahlekile, bayalila ebumnyameni, “Iphi indlela?” Yeka indlela abalangazelela ukukhanya ngayo, njengenkanyezi etshuzayo, eyehla masinyane bese ihlakaza amandla obumnyama obucindezele abantu iminyaka eminingi. Ubani ongazi ukuthi bethemba ngokukhathazeka okungakanani, futhi bakulangazelela kangakanani lokhu ubusuku nemini? Laba bantu abahlupheka kakhulu bahlala beboshwe emigodini yobumnyama, bengenalo ithemba lokukhululwa, ngisho nangosuku lokubanika kokukhanya; bayoyeka nini ukukhala? Le mimoya entekenteke engazange ithole ukuphumula ihlupheka ngempela ngeshwa elingaka. Bavalelwe isikhathi eside unya lwezintambo kanye nomlando omi ndawonye. Ubani oke wezwa umsindo wokukhala kwabo? Ubani oke wabona isimo sobuso babo obudabukisayo? Ngabe uke wacabanga ukuthi inhliziyo kaNkulunkulu ilusizi futhi ikhathazeke kangakanani? Angakumela kanjani ukubona abantu abangenacala abadala Yena ngezandla Zakhe behlupheka? Vele, isintu sineshwa lokufakelwa ubuthi. Nakuba siphile kwaze kwaba yinamuhla, ubani obengase acabange ukuthi sekunesikhathi eside sifakelwe ubuthi ngomubi? Ingabe usukhohliwe ukuthi nawe ungomunye walabo bagilwa? Ngothando othanda ngalo uNkulunkulu, awufuni yini ukuzama ukusindisa labo abaphilayo? Awufuni yini ukufaka wonke amandla akho ekukhokheleni uNkulunkulu othanda isintu njengenyama kanye negazi Lakhe siqu? Ungakuhumusha kanjani ukusetshenziswa nguNkulunkulu ukuze uphile ukuphila okuhlukile kokwabanye? Ingabe unalo ngempela ugqozi kanye nokuzimisela ukuphila impilo enenhloso, yomuntu ongcwele okhonza uNkulunkulu?

kuvela embhalweni othi “Ungakunaka Kanjani Ukuthunywa Kwakho Kwesikhathi Esizayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

617. Ungumuntu odaliwe—kumele nakanjani ukhonze uNkulunkulu futhi uphishekele ukuphila okunenjongo. Uma ungamkhonzi uNkulunkulu futhi uphila enyameni engcolile, ingabe awusona isilwane sasendle esigqoke njengomuntu? Njengomuntu, kumele uzikhandlele uNkulunkulu futhi ubekezelele konke ukuhlupheka. Kumele ukujabulele futhi ukwamukele ngenjabulo ukuhlupheka okuncane obhekene nakho namuhla futhi uphile ukuphila okunenjongo, njengoJobe noPetru. Kuleli zwe, umuntu ugqoka izingubo zikaSathane, adle ukudla akunikezwa uSathane, futhi usebenzela abuye akhonze ngaphansi kokuqondisa kukadeveli, enyathelwa ngokuphelele ekungcoleni kwakhe. Uma ungayibambi injongo yokuphila noma uthole indlela eyiqiniso, kubaluleke ngani ukuphila kanje? Nonke ningabantu abafuna indlela elungile, abafuna intuthuko. Ningabantu abavuka bame esizweni sikadrako omkhulu obomvu, labo uNkulunkulu ababiza ngokuthi balungile. Ingabe lokho akukhona ukuphila okunenjongo enkulu?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

618. Nimelwe ukuphokophelela ukwenza ngakho konke ukuze nithande uNkulunkulu kulesi simo esinokuthula. Esikhathini esizayo anisayikuba nawo amathuba okuthanda uNkulunkulu, ngokuba abantu banethuba kuphela lokuthanda uNkulunkulu osenyameni; ngenkathi sebephila komunye umhlaba, akukho noyedwa ozokhuluma ngokuthanda uNkulunkulu. Akusiwo yini umthwalo womuntu owadalwa lona? Ngalokho kumele umthande kanjani uNkulunkulu ezinsukwini zokuphila kwakho? Uke wakucabanga lokhu? Ulinde ukuthi uze ufe kube yikhona uthanda uNkulunkulu? Ingabe lokhu akukhona ukukhuluma okungenalutho? Namuhla, kungani ungaphokopheleli ukuthanda uNkulunkulu? Kungenzeka ukuthanda uNkulunkulu umatasa kube luthando lweqiniso ngoNkulunkulu? Isizathu esenza kuthiwe lesi sinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu sizoshesha sifike ekupheleni kungoba uNkulunkulu usenabo ubufakazi phambi kukaSathane; ngalokho, asikho isidingo sokuthi umuntu kube khona akwenzayo, umuntu ucelwa kuphela ukuthi aphokophelele ukuthanda uNkulunkulu eminyakeni yakhe esaphila—yikho okumqoka lokhu. Ngokuba izidingo zikaNkulunkulu azizinkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ngoba kunexhala elivuthayo enhliziyweni Yakhe, wambulile isifinyezo sesinyathelo esilandelayo somsebenzi waKhe ngaphambi kokuthi kuphethwe lesi isinyathelo, okukhombisa ngokusobala ukuthi isikhathi singakanani; uma uNkulunkulu ubengenalo ixhala enhliziyweni Yakhe, ingabe ubeyokhuluma ngala mazwi isikhathi sisekhona? Kungoba isikhathi sifushane ukuthi uNkulunkulu asebenze ngale ndlela. Likhona ithemba lokuthi ningamthanda uNkulunkulu ngezinhliziyo zenu zonke, ngemiqondo yenu yonke, kanye nangamandla enu wonke, kube sengathi nivikela impilo yenu. Ngabe akuyona yini impilo enenjongo ephelele lena? Kukuphi kwenye indawo lapho ungathola khona impilo enenjongo? Awenzi bona yini ubumpumputhe obukhulu? Uzimisele yini ukuthanda uNkulunkulu? Ngabe uNkulunkulu ukufanele yini ukuthandwa ngumuntu? Ngakho yini okufanele uyenze? Thanda uNkulunkulu ngesibindi, ngaphandle kwemibandela—bese ubheka ukuthi uNkulunkulu uzokwenzani kuwe. Bheka ukuthi uzokubulala yini. Kafushane, umsebenzi wokuthanda uNkulunkulu ubaluleke kakhulu kunokukopisha nokubhala izinto zikaNkulunkulu. Kumele unikeze indawo yokuqala lokho okubaluleke kakhulu, ukuze impilo yakho ibaluleke ngokwengeziwe futhi igcwale injabulo, bese ulinda “isigwebo” sikaNkulunkulu ngawe. Ngiyazibuza ukuthi okuhlelayo kuyakufaka yini phakathi ukuthanda uNkulunkulu—ngingajabula uma izinhlelo zabantu bonke zingaba yilezo ezipheleliswe nguNkulunkulu, bese ziba ezangempela.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 42” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

619. Umuntu kumele alwele ukuphila okunenjongo futhi angeneliswa nje yilokho akwazi ukukwenza manje. Ukuze umuntu aphile njengoPetru, kumele abe nolwazi futhi akwazi ukubhekana nezinto uPetru abhekana nazo. Umuntu kumele afune izinto ezinkulu neziphakeme kakhulu. Kumele afune uthando lukaNkulunkulu olujulile nolumsulwa ngokwengeziwe, kanye nokuphila okunenjongo. Yilokhu kuphela ukuphila; yile ndlela kuphela umuntu ayofana ngayo noPetru. Kumele ugxile ekukhuthaleleni ukuba sohlangothini oluhle ekungeneni kwakho, ungamane nje uhlehle ngenxa yenkululeko yesikhashana bese uziba amaqiniso angempela acacile nabalulekile. Uthando lwakho kumele lube ngokoqobo futhi kumele uthole izindlela ezizokwenza ukhululeke kulokhu kuphila okubi nokungenamthetho futhi okungahlukile kokwezilwane. Kumele uphile ukuphila okunenjongo, ukuphila okuyigugu, futhi akumele uzikhohlise, noma ukuphila kwakho ukuphendule ithoyizi okudlalwa ngalo. Kuwo wonke umuntu ozimisele ngokuthanda uNkulunkulu, awekho amaqiniso angenakuwathola futhi akukho ukungabi bikho kobulungiswa obenziwayo angeke akwazi ukumelana nakho. Kufanele uphile kanjani? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu futhi ungalusebenzisa kanjani lolu thando ukuze wenelise isifiso Sakhe? Ayikho into ebaluleke ukudlula leyo ekuphileni kwakho. Ngaphezu kwakho konke, kumele ube nezifiso ezinjalo futhi ukwazi ukubekezela, ungafani nje nabantu abaphelelwa yithemba kalula. Kumele ukwazi ukuphila ukuphila okunenjongo futhi uwazi amaqiniso angempela futhi ungaziphathi budlabha. Unganakile, impilo yakho ingakwedlula nje.; ngemva kwalokho, uyolithola yini elinye ithuba lokuthanda uNkulunkulu? Ingabe umuntu angakwazi ukuthanda uNkulunkulu uma esefile? Kumele ube nesifiso kanye nonembeza onjengokaPetru; ukuphila kwakho kumele kube nenjongo futhi akumele ube nesikhathi sokudlala ngokuphila kwakho! Njengoba ungumuntu, futhi ufuna uNkulunkulu, kumele uyiqaphele indlela oziphatha ngayo ekuphileni kwakho, nendlela ozinikela ngayo kuNkulunkulu nokuthi uba kanjani nokholo olunenjongo Kuye, ngendlela emsulwa, enhle, nelungile.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

620. UNkulunkulu unezidingo ezifanelekile azilindele kumuntu kanye nakulabo abamlandelayo kanti yilezi. UNkulunkulu udinga izinto ezinhlanu kulabo abamlandelayo: ukukholwa okuliqiniso, ukumlandela ngokwethembeka, ukugcina imiyalelo Yakhe ngokuphelele, ulwazi oluyiqiniso, nokumdumisa okuphuma enhliziyweni.

Kulezi zinto ezinhlanu, okokuqala uNkulunkulu udinga ukuthi abantu bangabi nemibuzo Ngaye, noma bamlandele besebenzisa izithombe ezisemiqondweni yabo Ngaye noma ngendlela engacacile nekude; kumele bangamlandeli uNkulunkulu begcwele imifanekiso emiqondweni yabo noma benokucabangela. UNkulunkulu udinga ukuthi wonke umuntu kwabamlandelayo akwenze ngokwethembeka lokho, hhayi ngenhliziyo engaphelele noma ngokungazinikeli. Uma uNkulunkulu enza izidingo kuwe, ukukuhlola, ukukwahlulela, ekuhluba ekucwecwa, noma ekunika iziyalo nemivimbo, kumele umthobele. Akumele ubuze imbangela, noma uzakhele imibandela, ikakhulukazi yekela ukukhuluma ngezizathu. Ukugcina kwakho imiyalelo Yakhe kumele kube ngokumiyo. Ukwazi uNkulunkulu yiphuzu abantu abangebahle neze neze kulo. Bavame ukunika uNkulunkulu izisho, izinkulumo, amazwi angahambisani Naye, bekholwa ngukuthi lawo mazwi yiwo achaza ngokunembayo ulwazi lwabo ngoNkulunkulu. Ulwazi lwabo ngalezi zisho luncane kakhulu, izisho ezivela kubantu nemicabango yabo, nemifanekiso yemiqondo yabo, kanye nokuhlakanipha kwabo, azihlobani nhlobo notho uNkulunkulu ayilo. Ngakho, engifuna ukunitshela khona ukuthi, olwazini kubantu abafiswa wuNkulunkulu, uNkulunkulu akaceli ukuthi uvele umazi nje uNkulunkulu namazwi Akhe, kodwa kumele ulwazi lwakho lukaNkulunkulu lushaye emhlolweni. Noma ungakhuluma umusho owodwa, noma ube ngowazi okuncane ngoNkulunkulu, lokho okuncane makube ngokuyikho okuliqiniso futhi, kuhambisane notho uNkunkulu Uqobo Lwakhe ayilo. UNkulunkulu uyabazonda abantu abamncoma bamphakamise ngokungekhona nokungahloliwe. Ngaphezu kwalokho, uzonda ukubona abantu bemthatha njengomoya ovunguzayo. Uyakuzonda lokho, ukuthi uma kuxoxwa ngezihloko ezithinta uNkulunkulu, abantu bakhulume budlabha, bekhuluma ngokuzethemba nokungangabazi, besho ababona kufanele bakusho; phezu kwalokho, uzonda labo abakholwa ukuthi bayamazi uNkulunkulu, bebe beziqhenya ngokwazi kwabo uNkulunkulu, bexoxa ngezihloko ezithinta uNkulunkulu ngaphandle kokuvimbeleka noma ngokuhleleka. Okokugcina ezidingweni ezinhlanu ukumdumisa okuphuma enhliziyweni. Lokhu yisidingo esinqala sikaNkulunkulu esingesokugcina ezidingweni zalabo abamlandelayo. Uma umuntu enolwazi olunembayo noluyiqiniso ngoNkulunkulu, uyakwazi ukumdumisa ngokweqiniso uNkulunkulu avike ububi. Lokho kumdumisa kuvela ekujuleni kwenhliziyo, kunokulangazelela, akusho ukuthi uNkulunkulu umphoqile. UNkulunkulu akaceli ukuthi uze ukhiphe isipho sokuziphatha kahle, noma ukuzimisa, noma ukuzibonakalisa ingaphandle lakho ngaye; esikhundleni salokho, ucela ukuthi umdumise ngokumesaba kusuka ekujuleni kwenhliziyo yakho. Lokhu kumdumisa kuvela emiphumeleni yokuguquka kwesimo sempilo yakho, ngoba unolwazi ngoNkulunkulu, ngoba unokumqonda uNkulunkulu nezenzo Zakhe, ngoba umqonda uNkulunkulu nobuYena, nangoba umqonda wamukela ukwazi ukuthi wena ungomunye wezidalwa zikaNkulunkulu. Ngakho, inhloso yami ekusebenziseni amagama “ekujuleni kwenhliziyo” ukuchaza indlela yokudumisa kungoba ngifuna umuntu aqonde ukuthi ukudumisa kwabantu uNkulunkulu kumele kusuke ekujuleni kwezinhliziyo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

621. Manje kufanele nonke nizihlole ngokushesha okukhulu, ukuze nibone ukuthi kungakanani ukungikhaphela enisenakho ngaphakathi kini. Ngiyilindele ngokungenaso isineke impendulo yenu. Ningenzi ngokunganaki uma nibhekene Nami. Angidlali ngabantu. Uma ngithi ngizokwenza into, khona-ke ngizoyenza nakanjani. Ngethemba ukuthi nonke nizowathatha njengabalulekile amazwi Ami, futhi ningacabangi ukuthi ayizindaba eziqanjiwe zesayensi. Engikufunayo kini yizenzo eziphathekayo, hhayi enikucabangayo. Okulandelayo, kufanele niphendule imibuzo Yami, ehamba kanje: 1. Uma ngempela ungumenzi womsebenzi, ingabe ungangisebenzela ngokwethembeka, ngaphandle kwanoma yikuphi ukugcina icala noma umbono ongemuhle? 2. Uma uthola ukuthi angikaze ngikwazise, ingabe uyoqhubeka uhlale futhi ungisebenzele ukuphila kwakho konke? 3. Uma ngilokhu ngibanda kuwe phezu kokuthi uzikhandle kakhulu, uzokwazi yini ukuqhubeka ungisebenzele ekufihlakaleni? 4. Uma, ngemva kokuthi uchithe izinto ezithile ngenxa Yami, ngingazenelisi izimfuno zakho ezincane, ingabe uzophela amandla futhi udumale Ngami noma uze uthukuthele futhi ungithuke? 5. Uma kade ulokhu wethembeke kakhulu, ungithanda kakhulu, kodwa uhlushwa ukugula, ubumpofu, kanye nokushiywa abangani nezihlobo zakho, noma uma ubekezelela noma yimaphi amanye amashwa ekuphileni, ingabe ukwethembeka kwakho nokungithanda kwakho kusazoqhubeka? 6. Uma kungekho nokukodwa oke wakucabanga enhliziyweni yakho okufana nalokho engikwenzile, khona-ke uzoyihamba kanjani indlela yakho yesikhathi ezayo? 7. Uma ungatholi lutho obulindele ukuthi uzoluthola, ingabe uzoqhubeka ube umlandeli Wami? 8. Uma ungakaze uyiqonde inhloso nokubaluleka komsebenzi Wami, ungaba umuntu olalelayo ongahluleli futhi enze iziphetho ngokungacabangi? 9. Ungawazisa yini wonke amazwi engiwashilo nawo wonke umsebenzi engiwenzile ngesikhathi ngikanye nesintu? 10. Uyakwazi yini ukuba ngumlandeli Wami othembekile, ozimisele ukungihluphekela ukuphila kwakhe konke noma ungatholi lutho? 11. Ingabe uzokwazi ukungacabangi, ukungahleli, noma ukungazilungiseleli indlela yakho yokuphila esikhathini esizayo ngenxa Yami? Le mibuzo imele izimfuno Zami zokugcina kini, futhi ngethemba ukuthi nonke nizongiphendula.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

622. Engikufunayo ukwethembeka nokulalela kwakho manje, uthando kanye obufakazi bakho. Nanoma ngabe awazi okwamanje ukuthi buyini ubufakazi noma luyini uthando, kumele ulethe Kimi konke okwakho, bese unikela Kimi okuyiyona ngcebo onayo: ukwethembeka nokulalela kwakho. Kumele wazi, ubufakazi bokwehlula Kwami uSathane kuncike ekuthembekeni nasekulaleleni komuntu, njengobufakazi bokunqoba Kwami umuntu ngokupheleleyo. Umsebenzi wokukholwa kwakho Kimi ukufakaza Ngami, ukuthembeka Kimi hhayi komunye, kanye nokulalela kuze kube sekugcineni. Ngaphambi kokuba ngiqale igxathu elilandelayo lomsebenzi Wami, kungabe uzofakaza kanjani Ngami? Uzothembeka futhi ungilalele kanjani? Ingabe unikela ngakho konke ukuthembeka kwakho emsebenzini wakho noma uzovele udikibale? Ingabe uzothobela zonke izinhlelo Zami (noma ngabe ukufa noma ukubhubhiswa) noma uyobaleka phakathi nendawo ukugwema ukusolwa Kwami? Ngiyakusola ukuze ube ufakazi Wami, futhi uthembeke Kimi futhi ulalele Mina. Okunye, ukusolwa ngalesi sikhathi kuwukwambula igxathu elilandelayo lomsebenzi Wami nokuvumela ukuba umsebenzi uqhubekele phambili ngaphandle kokuphazanyiswa. Ngakho ngiyakukhuthaza ukuba uhlakaniphe futhi impilo yakho noma ukubaluleka kobukhona bakho ungakuphathi njengesihlabathi esingenamsebenzi. Kungabe uyazi kahle ukuthi umsebenzi Wami olandelayo kuyoba imuphi? Kungabe uyazi ukuthi ngiyosebenza kanjani ngezinsuku ezizayo nanokuthi uyokwembulwa kanjani umsebenzi Wami? Kumele wazi ukubaluleka kokwazi umsebenzi Wami, okunye futhi, ukubaluleka kokukholwa kwakho Kimi. Ngikwenzile okuningi kakhulu; ngingadikibala kanjani sengiphakathi nendawo njengoba ucabanga? Sengenze umsebenzi omningi; ngingawubhubhisa kanjani? Impeleni, ngize ukuzophetha lenkathi. Lokhu kuyiqiniso, kodwa nangaphezulu kumele wazi ukuthi ngizoqala inkathi entsha, ngiqale umsebenzi omusha, futhi, ngaphezu kwakho konke, ukusabalalisa ivangeli lombuso. Ngakho kumele wazi ukuthi umsebenzi manje owokuqala inkathi, nokubeka isisekelo sokusabalalisa ivangeli esikhathini esizayo bese ngiphetha inkathi esikhathini esizayo. Umsebenzi Wami awulula ngale ndlela ocabanga ngayo, futhi awusiyo into engenamsebenzi noma engasho lutho njengoba kungenzeka ukuba uyakukholwa lokho. Ngakho-ke, kusafuneka ngithi kuwe: Kumele unikele impilo yakho emsebenzini Wami, futhi nangaphezulu, kumele uzinikele enkazimulweni Yami. Okunye, ukufakaza kwakho Ngami ilokhu ebengikade Mina ngikulindile, ikakhulukazi bengikulangazelela ukuba usabalalise ivangeli Lami. Kumele uqonde ukuthi yini ekhona enhliziyweni Yami.

Kucashunwe embhalweni othi “Yini Oyaziyo Ngokukholwa?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: XIII. Amazwi Ngezimfuneko, Izinxuso, Izinduduzo Nezixwayiso ZikaNkulunkulu

Okulandelayo: B. Izinxuso Nezinduduzo ZikaNkulunkulu Kumuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp