Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu

UNkulunkulu ukhuluma amazwi Akhe enze nomsebenzi Wakhe ngokwezinkathi ezehlukene, nasezinkathini ezehlukene, ukhuluma amazwi ehlukene. UNkulunkulu akathobeli mithetho, noma aphinde umsebenzi ofanayo, noma abe nenkumbulo yezinto zesikhathi esedlule; unguNkulunkulu ohlala emusha njalo akabi mdala, futhi nsuku zonke ukhuluma amazwi amasha. Kumele uthobele konke okumele kuthotshelwe namuhla; lona ngumthwalo nomsebenzi womuntu. Kubalulekile ukuthi okwenziwayo kubekwe ekukhanyeni nasemazwini kaNkulunkulu amanje. UNkulunkulu akathobeli mithetho, futhi uyakwazi ukukhuluma ngezindlela ezehlukene ukuze ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwakhe kucace. Akunandaba noma ukhuluma njengoMoya, noma njengomuntu, noma njengomuntu wesithathu—uNkulunkulu uhlale enguNkulunkulu, futhi awunakusho ukuthi akayena uNkulunkulu ngenxa yokuthi ukhuluma esesimweni somuntu. Phakathi kwabanye abantu kuqubuke imicabango ngenxa yezindlela ezehlukene uNkulunkulu akhuluma ngazo. Abantu abanjalo abanalwazi ngoNkulunkulu, futhi abawazi umsebenzi Wakhe. Ukube uNkulunkulu ubehlala ekhuluma ngendlela eyodwa, ngabe abantu abazange babeke imithetho ngoNkulunkulu? UNkulunkulu ubengamvumela umuntu ukuthi enze ngale ndlela? Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu akhuluma ngayo, uNkulunkulu unenhloso ngendlela ngayinye. Uma uNkulunkulu ubezohlala ekhuluma ngendlela kaMoya, ubuzokwazi ukukhuluma Naye? Kanjalo, ngezinye izikhathi ukhuluma njengomuntu wesithathu ukukunikeza amazwi Akhe futhi akuholele eqinisweni. Konke okwenziwa nguNkulunkulu kufanele. Kafushane, konke kwenziwa nguNkulunkulu, futhi akumele ukungabaze nakancane lokho. Inqobo nje uma enguNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ukhuluma ngayiphi indlela, usenguNkulunkulu. Leli iqiniso elingephikiswe. Noma ngabe usebenza kanjani, usenguNkulunkulu, futhi ingqikithi Yakhe ayisoze iguquke! UPetru wamthanda uNkulunkulu kakhulu futhi wayeyindoda eyayifuna inhliziyo kaNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu akazange ambone njengeNkosi noma uKristu, ngoba ingqikithi yomuntu iyile nto eyiyo, futhi ngeke iguquke. Emsebenzini Wakhe, uNkulunkulu akathobeli mithetho, kodwa usebenzisa izindlela ezihlukene ukwenza umsebenzi Wakhe ube yimpumelelo futhi akhulise ulwazi lomuntu Ngaye. Yonke indlela Yakhe yokusebenza isiza umuntu ukuba amazi Yena, futhi ilungele ukuphelelisa umuntu. Noma ngabe usebenzisa yiphi indlela yokusebenza, indlela ngayinye ilungele ukwakha futhi iphelelise umuntu. Yize enye yezindlela Zakhe kungenzeka ukuthi yadonsa isikhathi eside, ngeyokuthi ithinte ukholo lomuntu Kuye. Ngalokho akumele nibe nokungabaza. Lezi yizo zonke izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, futhi kumele uzilalele.

Namuhla, okukhulunywa ngakho ukungena kokungokoqobo. Akukhulunywa ngokunyukela ezulwini, noma ngokubusa njengamakhosi; konke okukhulunywa ngakho ukufuna ukungena kokungokoqobo. Akukho okudlula lokhu, kanti ukukhuluma ngokubusa njengamakhosi ngeke kwenzeke. Umuntu ufuna kakhulu ukwazi, futhi usalinganisa umsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla ngemibono yenkolo yakhe. Esebone izindlela eziningi zikaNkulunkulu zokusebenza, umuntu namanje akakawazi umsebenzi kaNkulunkulu, usafuna izimpawu nezimangaliso, futhi usabheka ukuthi amazwi kaNkulunkulu agcwalisekile na. Ingabe lokhu akubona ubumpumputhe? Ngaphandle kokugcwaliseka kwamazwi kaNkulunkulu, ngabe ubusazokholwa ukuthi unguNkulunkulu? Namuhla, abantu abaningi abafana nalaba ebandleni balinde ukubona izimpawu nezimangaliso. Bathi, uma amazwi kaNkulunkulu egcwaliseka, kusho ukuthi unguNkulunkulu; uma amazwi kaNkulunkulu engagcwaliseki, lokho kusho ukuthi akayena uNkulunkulu. Ingabe, ngalokho, ukholwa kuNkulunkulu ngenxa yokugcwaliseka kwamazwi Akhe, noma ngenxa yokuthi unguNkulunkulu Yena uqobo? Indlela abantu ababona ngayo ukukholwa kuNkulunkulu kumele icwengwe! Uma ubona ukuthi amazwi kaNkulunkulu awagcwalisekile, uyabaleka—ingabe lokhu ukukholwa kuNkulunkulu? Uma ukholwa kuNkulunkulu, kumele ubeke konke emseni kaNkulunkulu bese ulalela wonke umsebenzi kaNkulunkulu. UNkulunkulu wakhuluma amazwi amaningi eTestamenteni Elidala—yimaphi kuwo enawabona ngamehlo enu egcwaliseka? Ungathi uJehova akayena uNkulunkulu weqiniso ngenxa yokuthi awukubonanga lokho? Ngisho amazwi amaningi egcwalisekile, umuntu akakwazi ukukubona ngokucacile lokho ngenxa yokuthi umuntu akanalo iqiniso futhi akaqondi lutho. Abanye bafisa ukubaleka lapho bezwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu awagcwalisekile. Zamani, nibone ukuthi ningabaleka yini. Uma senibalekile, nizophinde nibuye. UNkulunkulu unilawula ngezwi Lakhe, uma ushiya ibandla nezwi likaNkulunkulu, ngeke ube nayo indlela yokuphila. Uma ungakukholwa lokhu, zizamele ngokwakho—ucabanga ukuthi ungavele uhambe nje? UMoya kaNkulunkulu uyanilawula, futhi ngeke nihambe. Lesi yisinqumo sikaNkulunkulu sokuphatha! Uma abanye abantu befuna ukuzama, hhayi, bangazama! Uthi lo muntu akayena uNkulunkulu, ngakho-ke yona Kuye ubone ukuthi uzokwenzani. Kungenzeka ukuthi inyama yakho ngeke ife futhi uzokwazi ukuzifunza uzigqokise, kodwa engqondweni ngeke kubekezeleke; uzozizwa unengcindezi futhi uhlukumezekile, akukho okuzoba buhlungu okudlula lokhu. Umuntu akakwazi ukumelana nokuhlukumezeka kwengqondo nokonakala—hleze uzokwazi ukubekezelela ukuhlupheka kwenyama kodwa awukwazi neze ukubekezelela ingcindezi engqondweni nokuhlukumezeka kwesikhathi eside. Namuhla, abanye abantu baphelelwa umdlandla ngoba bengakwazanga ukubona izimpawu nezimangaliso, kodwa akekho olokotha abaleke kungakhathaleki ukuthi badumele kangakanani, ngoba uNkulunkulu ulawula umuntu ngezwi Lakhe. Phezu kokungabonakali kwamaqiniso, nokho akekho ongabaleka. Ingabe lokhu akuzona izenzo zikaNkulunkulu? Namuhla, uNkulunkulu uze emhlabeni ukuzonikeza abantu ukuphila. Akanihehi, njengoba abantu becabanga, ngokunikhombisa izimpawu nezimangaliso ukuze aqinisekise ubudlelwane obunokuthula phakathi kukaNkulunkulu nomuntu. Bonke labo ukugxila kwabo okungekho ekuphileni, abagxile ekutheni uNkulunkulu akhombise izimpawu nezimangaliso, ngabaFarisi! Ngaleso sikhathi, ngabaFarisi ababethela uJesu esiphambanweni; uma ulinganisa uNkulunkulu ngendlela wena obona ngayo ukukholwa kuNkulunkulu, ukholwa kuNkulunkulu uma amazwi Akhe egcwaliseka, uba nokungabaza kanye nokuhlambalaza uNkulunkulu uma engagcwaliseki, ingabe akusho ukuthi umbethela esiphambanweni? Abantu abafana nalaba abayinaki imisebenzi yabo, bakujabulela ngokunomhobholo ukunethezeka!

Ngakolunye uhlangothi, inkinga enkulu kakhulu ngomuntu ukuthi akawazi umsebenzi kaNkulunkulu. Yize indlela yokuziphatha yomuntu ingeyona eyokuphika, ingeyokungabaza; akaphiki, kodwa futhi akavumi ngokugcwele. Uma abantu benolwazi olugcwele ngomsebenzi kaNkulunkulu, bebengeke babaleke. Ngakolunye uhlangothi, kungukuthi abantu abalazi iqiniso. Namuhla, abantu bakhuluma ngezwi likaNkulunkulu; ngempela, esikhathini esizayo akumele ucabange ukubona izimpawu nezimangaliso. Nginitshela ngokucacile: Ngesikhathi sesigaba samanje, konke enizokwazi ukukubona amazwi kaNkulunkulu, yize kungekho maqiniso, impilo kaNkulunkulu isengabunjwa ibe ngumuntu. Yilo msebenzi okungumsebenzi omkhulu woMbuso weMinyaka Eyinkulungwane uma ungawuboni lo msebenzi, uzoba buthaka uwe, wehlelwe izilingo, kuthi kanzima kakhulu futhi uthunjwe nguSathane. UNkulunkulu uze emhlabeni ikakhulu ukuzokhuluma amazwi Akhe; okhuluma ngakho yizwi likaNkulunkulu, okubonayo yizwi likaNkulunkulu, okuzwayo yizwi likaNkulunkulu, okuthobelayo yizwi likaNkulunkulu, okwaziyo yizwi likaNkulunkulu, kanti lokhu kuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kusebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Akakhombisi izimpawu nezimangaliso, ikakhulukazi akawenzi umsebenzi owenziwa nguJesu ngesikhathi esedlule. Yize bengoNkulunkulu, futhi bobabili beyinyama, izinkonzo Zabo azifani. Ngesikhathi uJesu efika, wenza nengxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, wakhuluma amanye amazwi—kodwa msebenzi muni omkhulu awufeza na? Akufeza kakhulu kwakungumsebenzi wokubethelwa. Waba umfanekiso wenyama enesono ukuze aqedele umsebenzi wokubethelwa ahlenge bonke abantu, futhi kwakungenxa yezono zaso sonke isintu ukuba abe ngumhlatshelo wesono. Lona yiwo umsebenzi omkhulu awufeza. Ekugcineni, wahlinzeka indlela yesiphambano ukuqondisa labo abalandela. Ngesikhathi uJesu efika, ikakhulu kwakuwukuqeda umsebenzi wokuhlenga. Wahlenga bonke abantu, waletha nevangeli lombuso wezulu kubantu, futhi, phezu kwalokho, waletha indlela eya embusweni wezulu. Ngenxa yalokho, labo abafika ngemva kwakho konke bathi, “Kumele sihambe indlela yesiphambano, sizidele ngenxa yesiphambano.” Yebo, ekuqaleni uJesu wenza omunye umsebenzi wakhuluma namanye amazwi ukuze abantu baphenduke bavume izono zabo. Kodwa inkonzo Yakhe kwakungukubethelwa, kanti le minyaka emithathu nesigamu ayichitha eshumayela indlela kwakuwukucwengelela ukubethelwa okwenzeka muva. Izikhathi eziningi uJesu athandaza ngazo nazo kwakungenxa yokubethelwa. Impilo yomuntu ojwayelekile ayeyiphila neminyaka engamashumi amathathu nantathu nesigamu ayiphila emhlabeni kakhulu kwakungenxa yokuqedela umsebenzi wokubethelwa, kwakungokokumnika amandla okwenza lo msebenzi, ngenxa yalokho uNkulunkulu wamethemba ngomsebenzi wokubethelwa. Namuhla, yimuphi umsebenzi ozokwenziwa uNkulunkulu esenyameni? Namuhla, uNkulunkulu usebe yinyama ukuze aqedele umsebenzi “weZwi elivela lisenyameni,” ukusebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu, nokwenza umuntu amukele ukusebenza kwezwi kanye nokucwengwa kwezwi. Emazwini Akhe unenza nikwazi ukuhlinzekwa nizuze nokuphila; emazwini Akhe, nibona imisebenzi nezenzo Zakhe. UNkulunkulu usebenzisa izwi ukunisola nokunicwenga, ngakho-ke uma nibhekene nobunzima, kungenxa yezwi likaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu akawasebenzisi amaqiniso, kodwa amazwi. Kungemva kokuba izwi Lakhe lifikile kuwe lapho uMoya oNgcwele ungasebenza kuwe ukwenze uzwe ubuhlungu noma ubumnandi. Yizwi likaNkulunkulu kuphela elingakuletha eqinisweni, futhi yizwi likaNkulunkulu kuphela elikwazi ukukwenza upheleliswe. Ngakho-ke, okungenani kumele uqonde lokhu: Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu ngezinsuku zokugcina ikakhulu ngukusebenzisa izwi Lakhe ukuphelelisa wonke umuntu nokuqondisa umuntu. Wonke umsebenzi awenzayo uwenza ngezwi; akasebenzisi amaqiniso ukukusola. Kunezikhathi lapho abantu belwisana noNkulunkulu. UNkulunkulu akakubangeli ukungakhululeki okukhulu, inyama yakho ayisolwa futhi awubhekani nobunzima—kodwa masinyane uma izwi Lakhe lifika kuwe, likucwenge, awukwazi ukumelana nakho. Ingabe akunjalo? Ngesikhathi sabenzi bomsebenzi, uNkulunkulu wayethi uphonsa abantu emgodini ongenamkhawulo. Ingabe abantu bafika ngempela emgodini ongenamkhawulo? Ngokusebenzisa nje izwi ukucwenga abantu, abantu bangena emgodini ongenamkhawulo. Ngalokho-ke, ngezinsuku zokugcina, uma uNkulunkulu eba yinyama wasebenzisa izwi kakhulu ukukwenza konke nokukwenza kucace. Kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi uyini Yena; kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngesikhathi uNkulunkulu osesimweni somuntu eza emhlabeni, akenzi omunye umsebenzi ngaphandle kokukhuluma amazwi—ngakho-ke asikho isidingo samaqiniso; amazwi anele. Lokhu kungenxa yokuthi uzele ikakhulu ukuzokwenza lo msebenzi, ukuvumela abantu babone amandla Akhe nobukhulu bamazwi Akhe, ukuvumela abantu babone emazwini Akhe ukuthi uzifihla kanjani ngokuthobeka, nokuvumela abantu bazi ukuphelela Kwakhe emazwini Akhe. Konke lokhu anakho nayikho kusemazwini Akhe, ubuhlakani nokumangalisa Kwakhe kusemazwini Akhe. Kulokhu wenziwa ukuthi ukwazi ukubona izindlela eziningi uNkulunkulu akhuluma ngazo amazwi Akhe. Umsebenzi omningi kaNkulunkulu sonke lesi sikhathi bekungukunikeza ukwambula nokusebenza kumuntu. Akamqalekisi kancane umuntu, noma ngabe uyakwenza, ukwenza ngezwi. Ngalokho-ke, kule nkathi uNkulunkulu eba yinyama, ungazami ukubona uNkulunkulu ephilisa futhi ekhipha amadimoni futhi, ungazami ukuhlala ubona izimpawu—asikho isidingo! Lezo zimpawu ngeke zimphelelise umuntu! Ukukhuluma ngokusobala nje: Namuhla, uNkulunkulu wenyama wangempela uqobo Lwakhe uyakhuluma kuphela, akenzi. Leli yiqiniso! Usebenzisa amazwi ukuze akuphelelise, asebenzise amazwi ukukondla nokukuphuzisa. Uphinde asebenzise amazwi ukusebenza, futhi usebenzisa amazwi endaweni yamaqiniso ukwenza wena wazi iqiniso. Uma ukwazi ukubona lolu hlobo lomsebenzi kaNkulunkulu, kusho ukuthi kunzima ukungenzi lutho. Endaweni yokugxila ezintweni ezimbi, kumele ugxile kokuhle—okungukuthi, noma ngabe amazwi kaNkulunkulu agcwalisekile noma cha, noma akhona amaqiniso noma awekho, uNkulunkulu wenza abantu bazuze ukuphila emazwini Akhe, kanti lolu yilona phawu olukhulu kunazo zonke, futhi phezu kwalokho, kuyiqiniso elingephikwe. Lobu ubufakazi obukhulu ongaba nolwazi ngoNkulunkulu ngabo, futhi kuwuphawu olukhulu kunezinye izimpawu. Yila mazwi kuphela angaphelelisa umuntu.

Kuthe kuqala nje iNkathi Yombuso, uNkulunkulu waqala ukukhipha amazwi Akhe. Esikhathini esizayo, lawa mazwi azogcwaliseka kancane kancane, kanti ngaleso sikhathi, abantu bazophila. Ukusebenzisa izwi kukaNkulunkulu ukuveza isimo esikhohlakele somuntu kuyiqiniso ngempela, futhi kuyadingeka kakhulu, kanti akasebenzisi lutho olunye ngaphandle kwezwi ukwenza umsebenzi Wakhe ukuze aphelelise ukholo lomuntu, ngoba namuhla yiNkathi Yezwi, kanti sidinga ukholo, isisombululo kanye nokusebenza ngokubambisana kwabantu. Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina ukusebenzisa izwi Lakhe ukusebenza nokuhlinzeka umuntu. Kuphela ngemva kokuba uNkulunkulu osesimweni somuntu eseqedile ukukhuluma amazwi Akhe lapho ezoqala khona ukugcwaliseka. Ngesikhathi ekhuluma okokuqala, amazwi Akhe awazange agcwaliseke, ngoba uma esesigabeni senyama, amazwi Akhe awagcwaliseki, lokhu kwenzelwa ukuba abantu babone ukuthi uNkulunkulu uyinyama hhayi uMoya, ukuze abantu babone ubuqiniso bukaNkulunkulu ngamehlo abo. Ngosuku okuzoqedwa ngalo umsebenzi Wakhe, uma wonke amazwi okumele akhulunywe Nguye emhlabeni esekhulunyiwe, amazwi Akhe azogcwaliseka. Manje akuyona inkathi yokugcwalisa amazwi kaNkulunkulu, ngoba akakaqedi ukukhuluma amazwi Akhe. Ngakho-ke, uma ubona uNkulunkulu esakhuluma amazwi Akhe emhlabeni, ungalindi ukugcwaliseka kwamazwi Akhe; uma uNkulunkulu eyeka ukukhuluma amazwi Akhe, uma umsebenzi Wakhe emhlabeni usuphelile, kuzoba yileso sikhathi lapho amazwi Akhe ezoqala khona ukugcwaliseka. Emazwini awakhuluma emhlabeni, kukhona, kokukodwa, ukuhlinzekwa kokuphila, kokunye, kunesiphrofetho—isiphrofetho sezinto ezizayo, sezinto ezizokwenziwa, nezinto okusamele ziqedwe. Kwakunesiprofetho futhi emazwini kaJesu. Kokunye, wanikela ngokuphila, kokunye, wakhuluma isiphrofetho. Namuhla, akukhulunywa ngokwenziwa kwamazwi namaqiniso ngesikhathi esisodwa ngoba umehluko phakathi kwalokhu okubonakalayo emehlweni abantu nalokhu okwenziwa uNkulunkulu mkhulu kakhulu. Kungathiwa nje, uma umsebenzi kaNkulunkulu usuqediwe, amazwi Akhe azogcwaliseka, namaqiniso azoza ngemva kwamazwi. Emhlabeni, uNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina wenza inkonzo yezwi, ngokwenza inkonzo yezwi, ukhuluma amazwi kuphela, akanandaba nokunye. Uma umsebenzi kaNkulunkulu usuguqukile, amazwi Akhe azoqala ukugcwaliseka. Namuhla, amazwi asetshenziswa kuqala ukuphelelisa wena; uma ethola udumo emhlabeni jikelele, kuzoba yisikhathi lapho umsebenzi Wakhe uzobe usuqediwe, uma wonke amazwi okumele akhulunywe eyobe esekhulunyiwe, futhi wonke amazwi esebe amaqiniso. UNkulunkulu uze emhlabeni ezinsukwini zokugcina ukuzokwenza inkonzo yezwi ukuze abantu bamazi, nokuthi abantu babone ukuthi uyini, babone nobuhlakani Bakhe kanye nazo zonke izenzo Zakhe ezimangalisayo ezwini Lakhe. Ngesikhathi seNkathi Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa kakhulu izwi ukunqoba bonke abantu. Esikhathini esizayo, izwi Lakhe lizofika kuzo zonke izinkolo, amaqembu, amazwe namahlelo; uNkulunkulu usebenzisa izwi ukunqoba, ukwenza bonke abantu babone ukuthi izwi Lakhe linegunya futhi linamandla—ngakho-ke namuhla, nibhekene nezwi likaNkulunkulu kuphela.

Amagama akhulunywa uNkulunkulu kule nkathi ahlukile kunalawo akhulunywa ngeNkathi Yomthetho, ngakho-ke, nawo, ahlukile emazwini akhulunywa ngeNkathi Yomusa. NgeNkathi Yomusa, uNkulunkulu akawenzanga umsebenzi wezwi, kodwa wachaza ukubethelwa ukuze ahlenge bonke abantu. IBhayibheli lichaza kuphela ukuthi kungani uJesu kwakumele abethelwe, kanye nokuhlupheka okwakumele adlule kukho esiphambanweni, nokuthi umuntu kumele abethelwe kanjani ngenxa kaNkulunkulu. Ngale nkathi, wonke umsebenzi owenziwa uNkulunkulu wawugxile ekubethelweni. NgeNkathi Yombuso, uNkulunkulu osesimweni somuntu ukhuluma amazwi ukuze anqobe bonke abantu abakholwa kuYe. Leli “yiZwi elivela enyameni;” uNkulunkulu uze ngezinsuku zokugcina ukuze ezokwenza umsebenzi Wakhe, okungukuthi, uze ukuzoqedela ukubaluleka kweZwi elivela enyameni. Ukhuluma amazwi kuphela, futhi kumbalwa lapho kunamaqiniso khona. Le yiyona ingqikithi yeZwi elivela enyameni, futhi uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ekhuluma amazwi Akhe, lokhu ukuvela kweZwi enyameni, futhi kuwuLizwi eliza enyameni. “Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, futhi uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu, futhi uLizwi waba yinyama.” Lo (umsebenzi wokuvela kukaLizwi enyameni) umsebenzi uNkulunkulu azowuqeda ezinsukwini zokugcina, futhi yisahluko sokugcina sohlelo Lwakhe lonke lokuphatha, ngakho-ke uNkulunkulu kumele eze emhlabeni azoveza amazwi Akhe enyameni. Lokhu okwenziwe namuhla, lokhu okuzokwenziwa esikhathini esizayo, lokhu okuzofezwa nguNkulunkulu, isiphetho sokugcina somuntu, labo abazosindiswa, labo abazobhujiswa, njalo njalo—lo msebenzi okumele ufezeke ekugcineni ubekwe wacaca, futhi wonke umi ngohlelo ukuze uqede ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni. Izinqumo zokuphatha nomthetho-sisekelo okwakukhishiwe kuqala, labo abazobhujiswa, labo abazongena ekuphumuleni—la mazwi onke kumele agcwaliswe. Lona ngumsebenzi omkhulu oqedelwe uNkulunkulu osesimweni somuntu ngesikhathi sezinsuku zokugcina. Wenza abantu baqonde ukuthi labo abahlelelwe uNkulunkulu kusengaphambili baya ngakuphi nokuthi labo abangamiselwanga kusengaphambili uNkulunkulu bona baya ngakuphi, ukuthi abantu Bakhe namadodana Akhe bazohlukaniswa kanjani, kuzokwenzekani ku-Israyeli, kuzokwenzekani eGibhithe—esikhathini esizayo, wonke la mazwi azofezwa. Izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu zinyusa isivinini. UNkulunkulu usebenzisa izwi njengendlela yokuveza kumuntu ukuthi yini okumele yenziwe inkathi ngayinye, yikuphi okumele kwenziwe nguNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina, kanye nenkonzo Yakhe okumele yenziwe, kanti wonke la mazwi enzelwe ukufeza ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni.

Ngike ngasho ngaphambili ukuthi “Bonke abagxila ekuboneni izimpawu nezimangaliso bazolahlwa; akubona labo abazopheleliswa.” Sengikhulume amagama amaningi, kodwa umuntu akanalo noluncane ulwazi ngalo msebenzi, futhi, sekufinyelele lapha, umuntu usaqhubeka nokufuna izimpawu nezimangaliso. Ingabe ukukholwa kwakho kuNkulunkulu kungokufuna ukubona izimpawu nezimangaliso, noma kungoba ufuna ukuzuza ukuphila? UJesu Naye wakhuluma amazwi amaningi, futhi amanye awo nanamuhla asazogcwaliseka. Ungasho ukuthi uJesu akayena uNkulunkulu? UNkulunkulu wafakazela ukuthi wayenguKristu futhi eyiNdodana ethandekayo kaNkulunkulu. Ungakuphika lokhu? Namuhla, uNkulunkulu ukhuluma amazwi kuphela, kanti uma ungekwazi ukwazi kahle, kusho ukuthi ngeke ukwazi ukuma ubambelele. Ingabe ukholwa Kuye ngoba enguNkulunkulu, noma ukholwa Kuye ngokuthi amazwi Akhe ayagcwaliseka noma cha? Ingabe ukholwa ezimpawini nasezimangalisweni, noma ukholwa kuNkulunkulu? Namuhla akavezi izimpawu nezimangaliso—ingabe unguNkulunkulu ngempela? Uma amazwi awakhulumayo engagcwaliseki, ingabe unguNkulunkulu ngempela? Ingabe ingqikithi kaNkulunkulu inqunywa ukuthi amazwi awakhulumayo ayagcwaliseka noma cha? Kungani abanye abantu belokhu belindele ukugcwaliseka kwamazwi kaNkulunkulu ngaphambi kokukholwa Kuye? Ingabe lokhu akusho ukuthi abamazi? Bonke laba ababona kanje ngabantu abaphika uNkulunkulu. Basebenzisa imicabango ukulinganisa uNkulunkulu; uma amazwi kaNkulunkulu egcwaliseka bayakholwa kuNkulunkulu, kanti uma engagcwaliseki abakholwa kuNkulunkulu; futhi bahlale befuna ukubona izimpawu nezimangaliso. Ingabe abayibona abaFarisi besikhathi samanje? Ukuthi uyakwazi ukuma uqine noma cha kuncike ekutheni wazi uNkulunkulu wangempela noma cha—lokhu kusemqoka! Uma izwi likaNkulunkulu liyiqiniso kuwe, yilapho uzoba nolwazi olukhulu ngeqiniso likaNkulunkulu, futhi uzokwazi ukuma uqine ngesikhathi sezilingo. Uma ulokhu ugxile ekufuneni ukubona izimpawu nezimangaliso, yilapho ungeke ukwazi ukuma uqine, futhi uzowela ezilingweni. Izimpawu nezimangaliso azisona isisekelo; yiqiniso likaNkulunkulu kuphela eliwukuphila. Abanye abantu abazi ukuthi mphumela muni okumele ufezwe umsebenzi kaNkulunkulu. Bachitha izinsuku zabo bedidekile, bengafuni ukwazi lo msebenzi kaNkulunkulu. Abakufunayo kuhlale kuwukuthi uNkulunkulu egcwalisa izifiso zabo, ngemva kwalokho bayazimisela ekukholweni kwabo. Bathi bazofuna ukuphila uma amazwi kaNkulunkulu egcwaliseka, kodwa uma amazwi Akhe engagcwaliseki, lokho kusho ukuthi awekho amathuba okuthi bafune ukuphila. Umuntu ucabanga ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kuwukufuna ukubona izimpawu nezimangaliso nokufuna ukunyukela ezulwini nasezulwini lesithathu. Akekho namunye othi ngokukholwa kwakhe kuNkulunkulu ufuna ukungena eqinisweni, ufuna ukuphila, nokufuna ukuzuzwa nguNkulunkulu. Kunanzuzoni ukufuna okunjalo? Labo abangafuni ulwazi lukaNkulunkulu nokwaneliseka kukaNkulunkulu bangabantu abangakholwa kuNkulunkulu, bangabantu abahlambalaza uNkulunkulu!

Manje ingabe usuyaqonda ukuthi kuyini ukukholwa kuNkulunkulu? Ingabe ukukholwa kuNkulunkulu kusho ukubona izimpawu nezimangaliso? Ingabe ngukwenyukela ezulwini? Ukukholwa kuNkulunkulu akulula neze. Lokho kwenza kwasenkolweni kumele kususwe; ukufuna ukuphiliswa kwabagulayo nokukhishwa kwamadimoni, ukugxila ezimpawini nasezimangalisweni, ukufisa umusa kaNkulunkulu omningi, ukuthula nenjabulo, ukufuna ongase ukuthole nokunethezeka kwenyama—lokhu ukwenza kwasenkolweni, kanti lokhu okwenziwa enkolweni kuwuhlobo lokukholwa olungacacile. Namuhla, kuyini ukukholwa kuNkulunkulu kwangempela? Kungukwamukela izwi likaNkulunkulu njengeqiniso lokuphila kwakho nokwazi uNkulunkulu ezwini Lakhe ukuze uzuze uthando Lwakhe lweqiniso. Ukuze kucace: Ukukholwa kuNkulunkulu kungesizathu sokuba umlalele uNkulunkulu, uthande uNkulunkulu, bese wenza umsebenzi okumele wenziwe isidalwa sikaNkulunkulu. Lena yinhloso yokukholwa kuNkulunkulu. Kumele uthole ulwazi lokuthanda uNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ufanelwe ukudunyiswa, ukuthi, ezidalweni Zakhe, umsebenzi wensindiso uwenza kanjani futhi ubaphelelisa kanjani—lezi yizidingo nqangi zokukholwa kwakho kuNkulunkulu. Ukukholwa kuNkulunkulu ikakhulu kungukuguquka usuka empilweni yenyama uye empilweni yokuthanda uNkulunkulu; usuka ekuphileni kwenkohlakalo uye ekuphileni empilweni yamazwi kaNkulunkulu; kungukuphuma ngaphansi kwesandla sikaSathane uphile ngaphansi kokunakekelwa nokuvikelwa uNkulunkulu, kungukwazi ukulalela uNkulunkulu ungathobeli inyama, kungukuvumela uNkulunkulu azuze inhliziyo yakho yonke, ukuvumela uNkulunkulu akuphelelise, uzikhulule esimweni esikhohlakele sikaSathane. Ukukholwa kuNkulunkulu kwenzelwe kakhulu ukuthi amandla nenkanzimulo kaNkulunkulu kubonakale phezu kwenu, ukuze nenze intando kaNkulunkulu, nifeze icebo likaNkulunkulu, nikwazi ukuba ngofakazi bakaNkulunkulu phambi kukaSathane. Ukukholwa kuNkulunkulu akumele kwenziwe ngenxa yezimpawu nezimangaliso, futhi akumele kube ngenxa yenyama yomuntu. Kumele kube okokufuna ukwazi uNkulunkulu, nokulalela uNkulunkulu, njengoPetru, umlalele kwaze kwaba sekufeni. Yilokhu okusemqoka ukuze kuzuzwe. Ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kulungele ukuba wazi futhi wenelise uNkulunkulu. Ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kukunika ulwazi olukhulu ngoNkulunkulu, okuzothi ngemva kwalokho ukwazi ukulalela uNkulunkulu. Kuphela uma wazi uNkulunkulu lapho ungakwazi ukumthanda, kanti ukuze uthole lokhu okuhlosiwe yiyona nhloso kuphela okumele umuntu afune ukufinyelela kuyo ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu. Uma, ekukholweni kwakho kuNkulunkulu, uhlala uzama ukubona izimpawu nezimangaliso, lokho kusho ukuthi ukubona kwakho kanjalo ukukholwa kuNkulunkulu akulungile. Ukukholwa kuNkulunkulu kungukwamukela izwi likaNkulunkulu njengeqiniso lokuphila. Ukusebenzisa kuphela amazwi kaNkulunkulu aphuma emlonyeni Wakhe bese uwenza ngokwakho, lokho ngukuthola inhloso kaNkulunkulu. Ekukholweni kuNkulunkulu, abantu kumele bafune ukupheleliswa uNkulunkulu, bakwazi ukuthobela uNkulunkulu, balalele uNkulunkulu ngokuphelele. Uma ungalalela uNkulunkulu ngaphandle kokukhaononda, wazi okufiswa uNkulunkulu, ufane noPetru, ube nendlela kaPetru uNkulunkulu akhulume ngayo, kulapho uzobe usukholwa kuNkulunkulu ngempumelelo, futhi kuzobe kusho ukuthi usuzuziwe nguNkulunkulu.

UNkulunkulu uwenza emhlabeni wonke jikelele umsebenzi Wakhe. Bonke labo abakholwa Kuye kumele bamukele izwi Lakhe, futhi badle baphuze izwi Lakhe; akekho ozozuzwa uNkulunkulu ngokubona izimpawu nezimangaliso ezivezwa uNkulunkulu. Kuyo yonke le minyaka, uNkulunkulu ubelokhu esebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Ngakho-ke akumele ninikele konke ukunaka kwenu ezimpawini nasezimangalisweni, kodwa kumele nifune ukupheleliswa nguNkulunkulu. ENkathini Yomthetho yeTestamente Elidala, uNkulunkulu wakhuluma amazwi athile, kwathi ngeNkathi Yomusa, uJesu, Naye, wakhuluma amazwi amaningi. Ngemva kokuba uJesu esesho amazwi amaningi, abaphostoli nabafundi bakamuva baholela abantu ekubeni benze ngokwemiyalelo eyakhishwa nguJesu futhi benza ngokuhambisana namazwi nezimiso ezakhulunywa nguJesu. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ikakhulu usebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Akasebenzisi izimpawu nezimangaliso ukucindezela abantu, noma ukubathonya; lokhu ngeke kucacise amandla kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ekhombisa izizimpawu nezimangaliso kuphela, kusho ukuthi kuzoba nzima ukucacisa iqiniso likaNkulunkulu, ngakho-ke kube nzima ukuphelelisa umuntu. UNkulunkulu akamphelelisi ngezimpawu nangezimangaliso umuntu, kodwa usebenzisa izwi ukunisela nokwelusa umuntu, ngemva kwalokho abantu bakwazi ukulalela nokwazi uNkulunkulu. Lena yinhloso yomsebenzi awenzayo namazwi awakhulumayo. UNkulunkulu akasebenzisi indlela yokukhombisa izimpawu nezimangaliso ukuphelelisa umuntu—usebenzisa amazwi, futhi usebenzisa izindlela eziningi ezehlukene zokusebenza ukuphelelisa umuntu. Noma ngabe ukucwengwa, ukusebenzelana, ukuthenwa, noma ukunikezwa amazwi, uNkulunkulu ukhuluma ngezindlela eziningi ukuze aphelelise umuntu, futhi anike umuntu ulwazi olukhulu ngomsebenzi, ubuhlakani nokumangalisa kukaNkulunkulu. Uma umuntu epheleliswa ngesikhathi uNkulunkulu azoqeda ngaso leyo nkathi ezinsukwini zokugcina, khona-ke uzofanela ukubona izimpawu nezimangaliso. Lapho ufinyelela ekwazini uNkulunkulu futhi usukwazi ukulalela uNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi wenzani, ngeke ube nemibono Ngaye lapho ubona izimpawu nezimangaliso. Okwamanje, ukhohlakele futhi awukwazi ukuthobela uNkulunkulu ngokuphelele—ingabe ufanelekile ukubona izimpawu nezimangaliso? Isikhathi uNkulunkulu azobonisa ngaso izimpawu nezimangaliso kulapho uNkulunkulu esola khona umuntu, uma kuguquka inkathi, futhi, phezu kwalokho, uma kuphela inkathi. Uma umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa ngokujwayelekile, akavezi izimpawu nezimangaliso. Ukuveza izimpawu nezimangaliso kulula kakhulu, kodwa lowo akuwona umgomo womsebenzi kaNkulunkulu, futhi akuyona inhloso yohlelo lukaNkulunkulu lokuphatha umuntu. Ukuba umuntu wabona izimpawu nezimangaliso, futhi uma umzimba kamoya kaNkulunkulu ubungabonakala kubantu, ingabe bonke abantu bebengeke bakholwe kuNkulunkulu? Ngike ngasho phambilini ukuthi iqembu labanqobi lizuzwe eMpumalanga, abanqobi abaphuma ekuhluphekeni okukhulu. Asho ukuthini lawa mazwi? Asho ukuthi laba bantu abazuziwe bahlonipha ngeqiniso ngemva kokwahlulelwa nokusolwa, ukusetshenzwa nokuthenwa, nazo zonke izinhlobo zokucwenga. Ukukholwa kwabantu abanjalo akufiphele futhi akukhona okucatshangwayo nje, kodwa kuyiqiniso. Ababonanga zimpawu nezimangaliso, noma naziphi izimanga; abakhulumi ngamagama nezimfundiso ezinzima, noma ngemibono ejulile; kunalokho baneqiniso, namazwi kaNkulunkulu, nolwazi lweqiniso likaNkulunkulu. Ingabe iqembu elinjengaleli akufanele liwenze acace amandla kaNkulunkulu? Umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina ngumsebenzi wangempela. Ngenkathi kaJesu, wayengezanga ukuzophelelisa umuntu, kodwa ukuzomhlenga, ngakho-ke waveza ezinye izimanga ukuze abantu bamlandele. Ngoba wayezele ukuzoqedela umsebenzi wokubethelwa, ukuveza izimpawu kwakungeyona ingxenye yomsebenzi wenkonzo Yakhe. Izimpawu nezimangaliso kwakungumsebenzi owenziwa ukuze umsebenzi Wakhe uphumelele; kwakuwumsebenzi ongaphezulu, wawungamele umsebenzi wenkathi yonke. Ngesikhathi seNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala, uNkulunkulu waphinde waveza ezinye izimpawu nezimangaliso—kodwa umsebenzi uNkulunkulu awenza namuhla ngumsebenzi wangempela, futhi ngeke aveze izimpawu nezimangaliso manje. Uma engaveza izimpawu nezimangaliso, umsebenzi Wakhe wangempela ungaxoveka, angabe esakwazi ukwenza omunye umsebenzi. Uma uNkulunkulu wayethe izwi alisetshenziselwe ukuphelelisa umuntu, kodwa wabuye wakhombisa izimpawu nezimangaliso, ngabe ukuthi abantu bayakholwa noma abakholwa Kuye kwakungacaciswa? Ngalokho, uNkulunkulu akazenzi izinto ezinjalo. Abantu bagcwele inkolo; uNkulunkulu ufikile ezinsukwini zokugcina ukuzochitha imibono yenkolo nezinto ezingaphezu kwemvelo kumuntu, enze abantu bazi uqobo lukaNkulunkulu. Uzele ukuzosusa isithombe sikaNkulunkulu esisengqondweni nesingamanga—isithombe sikaNkulunkulu, ngamanye amazwi, ongekho nhlobo. Ngakho-ke, manje into eyigugu ukuthi ube nolwazi lweqiniso! Iqiniso ledlula konke okunye. Uneqiniso elingakanani namuhla? Ingabe konke lokho kuveza uNkulunkulu wezimpawu nezimangaliso? Imimoya emibi nayo ingaveza izimpawu nezimangaliso; ingabe yonke inguNkulunkulu? Ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, into efunwa umuntu yiqiniso, lokho akufunayo ukuphila, kunezimpawu nezimangaliso. Lokhu kumele kube yinhloso yabo bonke abakholwa kuNkulunkulu.

Okwedlule: INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi

Okulandelayo: Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp