Isandulelo

ENkathini Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukungenisa inkathi entsha, ukuguquka izindlela zomsebenzi Wakhe, nokwenza umsebenzi waso sonke isikhathi. Lesi yisimiso uNkulunkulu asebenza ngaso eNkathini Yezwi. be yinyama womuntu ukuze akhulume ngezindlela ezahlukene, ehlomisa umuntu ukuthi abone uNkulunkulu ngeqiniso, oyiZwi elivela enyameni, nangobuhlakani nezimangaliso Zakhe. Umsebenzi onjalo wenzelwe ukufinyelela kangcono emigomweni yokunqoba umuntu, yokumphelelisa, neyokumsusa. Lokhu kuwumqondo wangempela wokusebenzisa izwi ukuthi lisebenze ngeNkathi Yezwi. Ngezwi, umuntu ufinyelela ekwazini umsebenzi kaNkulunkulu, isimo siNkulunkulu, ingqikithi yomuntu nalokho umuntu afanele ukungena kukhona. Ngezwi, yonke imisebenzi uNkulunkulu afisa ukuyenza ngeNkathi Yezwi iyafezeka. Ngezwi, umuntu uyembulwa, uyasuswa abuye alingwe. Umuntu ulibonile izwi, walizwa, wabona nokuba khona kwezwi. Ngenxa yalokho, umuntu uyakholwa wubukhona bukaNkulunkulu; umuntu ukholwa ukuba namandla onke nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nasenhliziyweni yothando lukaNkulunkulu kumuntu nesifiso Sakhe sokusindisa umuntu. Yize igama elithi “izwi” lisobala futhi livamile, izwi elivela emlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama linyakazisa lonke izulu nomhlaba; izwi Lakhe liguqula inhliziyo yomuntu, imicabango nesimo sakhe esidala nokubukeka kwakudala komhlaba wonke. Kuyo yonke iminyaka, nguNkulunkulu wanamuhla kuphela osebenza ngale ndlela, futhi NguYe kuphela okhuluma futhi asindise umuntu ngale ndlela. Emva kwalokho, umuntu uhlala ngaphansi kokuqondiswa yizwi, eluswa futhi ehlinzekwa yizwi; bahlala emhlabeni wezwi, baphila phakathi kweziqalekiso nezibusiso zezwi likaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho bahlala phansi kokwahlulela nokusola kwezwi. La mazwi nalo msebenzi kwenzelwe nje insindiso yomuntu, ukufezwa kwentando kaNkulunkulu, nokuguqula isimo semvelo somhlaba wendalo endala. UNkulunkulu wadala umhlaba ngezwi, uhola abantu emhlabeni wonke ngalo izwi, uyanqoba abuye abasindise ngezwi. Ekugcineni, uzosebenzisa izwi ukuqeda wonke umhlaba omdala. Kungaleso sikhathi-ke lapho uhlelo lokuphatha lizophelela khona.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kule minyaka, uNkulunkulu uzokwenza kube yiqiniso kinina ukuthi wonke umuntu aphile izwi likaNkulunkulu, akwazi ukusebenzisa iqiniso, athande uNkulunkulu ngobuqotho; ukuthi bonke abantu basebenzise izwi likaNkulunkulu njengesisekelo neqiniso labo babe nezinhliziyo ezihlonipha uNkulunkulu; nokuthi, ngokwenza izwi likaNkulunkulu, umuntu-ke angabusa kanye noNkulunkulu. Yilo msebenzi uNkulunkulu azowufeza. Ungaphila ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu? Baningi manje abazizwa sengathi angeke bakwazi ukuhlala ngisho usuku olulodwa nje noma ezimbili ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu. Kufanele bafunde izwi Lakhe nsuku zonke, kanti uma isikhathi singavumi, ukulalela nje izwi Lakhe kwanele. Lo umuzwa umuntu awunikezwa uMoya ONgcwele nendlela oqala ngayo ukunyakazisa umuntu. Kusho ukuthi, ubusa umuntu ngamazwi ukuze umuntu angene eqinisweni lezwi likaNkulunkulu. Uma uzwa ubumnyama nokoma ngemva nje kosuku olulodwa ungadlile futhi ungaphuzile izwi likaNkulunkulu, ukuthole kungemukelekile, lokhu kukhombisa ukuthi usunyakazisiwe uMoya oNgcwele, kanti futhi akakufulathelanga. Uyilowo okulo mfudlana. Nokho, uma ungenakho ukuqonda noma ungezwa koma ngemva kosuku noma ezimbili ngaphandle kokuphuza izwi likaNkulunkulu, futhi awuzizwa unyakaziseka, lokhu kukhombisa ukuthi uMoya oNgcwele ukufulathele. Lokhu kusho ukuthi-ke isimo ngaphakathi kwakho asilungile; awukangeni eNkathini Yezwi, futhi nguwena osalele emuva. UNkulunkulu usebenzisa izwi ukubusa umuntu; uzizwa kamnandi uma udla futhi uphuza izwi likaNkulunkulu, kodwa uma ungakwenzi lokho, ngeke ube nayo indlela yokulandela. Izwi likaNkulunkulu liba ukudla komuntu namandla amqhubayo. IBhayibheli lithi “Akusinkwa sodwa umuntu angaphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” Lo umsebenzi uNkulunkulu azowufeza namuhla. Uzofeza leli qiniso kinina. Bekwenzeka kanjani ukuthi mandulo abantu bahlale izinsuku eziningi ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu kodwa baqhubeke badle futhi basebenze? Kungani kungenjalo manje? Kulesi sikhathi, uNkulunkulu usebenzisa kakhulu izwi ukubusa bonke. Ngezwi likaNkulunkulu, umuntu uyahlulelwa futhi apheleliswe, ekugcineni athathwe ayiswe embusweni. Izwi likaNkulunkulu kuphela elinganikeza umuntu ukuphila, futhi izwi likaNkulunkulu kuphela elinganikeza umuntu ukukhanya nendlela yokulenza, ikakhulu eNkathini Yombuso. Uma nje usalokhu udla futhi uphuza izwi Lakhe nsuku zonke ungaphumi eqinisweni lezwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu uzokuphelelisa.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emhlabeni jikelele ngenza umsebenzi Wami, futhi eMpumalanga, ukuhlokoma okusazulu akupheli, kunyakazisa onke amazwe namahlelo. Yizwi Lami elilethe bonke abantu esikhathini samanje. Ngizokwenza bonke abantu banqotshwe yizwi Lami, bawele kulo mfudlana bese bezinikela phambi Kwami, ngoba kade ngayibuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke ngayisa kabusha eMpumalanga. Ubani ongafisi ukubona inkazimulo Yami? Ubani ongalindile ngexhala ukubuya Kwami? Ubani ongakomele ukuvela Kwami futhi? Ubani ongabufuni ubuhle Bami? Ubani ongeke eze ekukhanyeni? Ubani ongeke akubone ukunotha kweKhanani? Ubani ongakufisi ukubuya koMhlengi? Ubani ongamthandi uSomandla Omkhulu? Izwi Lami lizosabalala emhlabeni wonke; ngifisa, ngibheke kubantu Bami abakhethiwe, ukukhuluma amazwi amaningana kubona. Njengamazulu anamandla anyakazisa izintaba nemifula; ngikhuluma emhlabeni jikelele nasesintwini. Yingakho amazwi asemlonyeni wami esebe yigugu kubantu, futhi bonke abantu bayawazisa amazwi ami. Umbani uphazima usuka ngaseMpumalanga uze ufinyelele eNtshonalanga. Amazwi Ami angendlela yokuthi umuntu akafuni ukuwayeka futhi khona lapho uwathola engaqondakali, kodwa phezu kwalokho, uyawathokozela. Njengosana oluzelwe, bonke abantu bayajabula bathokoze, bebungaza ukuza Kwami. Ngezwi Lami, ngizoletha bonke abantu phambi Kwami. Emva kwalokho, ngizongena ngokomthetho ohlangeni lwabantu ukuze bazongidumisa. Ngenkazimulo engiyikhiphayo namazwi asemlonyeni wami ngizokwenza ukuthi bonke abantu beze phambi Kwami bese beyabona ukuthi umbani uphazima usuka eMpumalanga, nokuthi sengehlele “eNtabeni yemiNqumo” yaseMpumalanga. Bazobona ukuthi kade ngaba semhlabeni, hhayi njengeNdodana yamaJuda kodwa njengoMbani waseMpumalanga. Ngoba kade ngavuswa ekufeni, ngasuka phakathi kwesintu, ngabuye ngavela futhi kubantu ngenkazimulo. NgiNguye lowo owayekhonzwa endulo, futhi ngingumntwana owalahlwa ngama-Israyeli endulo. Phezu kwalokho, nginguNkulunkulu uSomandla mabeze phambi kwesihlalo Sami sobukhosi bazobona ubuso Bami obukhazimulayo, bezwe izwi Lami, babuke nemisebenzi Yami. Lokhu kungukuphelela kwentando Yami; kungukuphela novuthondaba lohlelo Lwami, kanye nenhloso yokuphatha Kwami. Izizwe zonke mazingidumise, zonke izilimi zingivume, bonke abantu bangethembe, bonke abantu babe ngaphansi Kwami!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa–Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu uthe, ngisho eMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane abantu kusazodingeka ukuthi baqhubeke balandele amazwi Akhe, futhi kusasa la mazwi kaNkulunkulu azoqondisa ukuphila kwabantu ezweni elihle laseKhanani. Lapho uMose esehlane, uNkulunkulu wamfundisa futhi wakhuluma naye ngokuqondile. UNkulunkulu wathumela ukudla esezulwini, amanzi nemana ukuze abantu bayijabulele, futhi kusenjalo nanamuhla: uNkulunkulu ngokwakhe uthumele izinto ezidliwayo neziphuzwayo ukuze abantu bazijabulele, futhi Yena ngokwakhe ulethe iziqalekiso ukuze asole abantu. Ngakho zonke izinyathelo zomsebenzi Wakhe zenziwa uNkulunkulu mathupha. Namuhla, abantu balambele iqiniso, bazama ukubona izimpawu nezimangaliso, futhi kunokwenzeka ukuthi bonke abantu abanjalo bashiywe, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uya uba ngokoqobo kakhulu. Akekho owaziyo ukuthi uNkulunkulu wehlile esuka ezulwini, abakaqapheli ukuthi uNkulunkulu uthumele ukudla nezinto ezivela ezulwini—kuyilapho uNkulunkulu ekhona ngempela, nezimo ezijabulisayo zoMbuso Weminyaka Eyinkulungwane abantu abazicabangayo kuyizinto ezivela ngqo emazwini kaNkulunkulu. Lokhu kuyiqiniso, futhi lokhu kuwukuphela ukubusa noNkulunkulu emhlabeni. Ukubusa noNkulunkulu emhlabeni kuqondise enyameni. Lokhu okungeyona inyama akukho emhlabeni, ngakho bonke labo abalwela ukuya ezulwini lesithathu balwela into engekho. Ngelinye ilanga, lapho umhlaba wonke usubuyela kuNkulunkulu, umongo womsebenzi Wakhe ezulwini nasemhlabeni wonke uyolandela amazwi kaNkulunkulu; kwenye indawo, abanye abantu bayoshaya izingcingo, abanye bayogibela izindiza, abanye bayogibela izikebhe bawele ulwandle, abanye bayosebenzisa ama-laser ukuze bathole amazwi kaNkulunkulu. Bonke abantu bayokhonza futhi bayolangazelela, bonke bayosondela kuNkulunkulu, futhi bahlanganyele kuNkulunkulu, futhi bonke bayokhonza uNkulunkulu—futhi konke lokhu kuyobe kuyizenzo zikaNkulunkulu. Khumbula lokhu! Ayikho into uNkulunkulu asazoyiqala kabusha kwenye indawo. UNkulunkulu uyofeza leli qiniso: Uyokwenza ukuthi bonke abantu emhlabeni wonke beze phambi Kwakhe, futhi bakhonze uNkulunkulu emhlabeni, futhi omunye umsebenzi Wakhe kwezinye izindawo uyophela, futhi abantu bayophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Kuyoba njengakuJosefa: Bonke babeya kuye ukuze bathole ukudla, futhi bamkhothamele, ngoba wayenezinto ezidliwayo. Ukuze bagweme indlala abantu bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Wonke umphakathi wamakholwa uzokwehlelwa yindlala enzima, futhi uNkulunkulu wanamuhla kuphela ongumthombo wamanzi okuphila, umthombo ogeleza njalo owenzelwe ukuba abantu bajabule, futhi abantu bazoza bancike Kuye. Leso kuyoba yisikhathi sokwambulwa kwezenzo zikaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakhazinyuliswa; bonke abantu emhlabeni wonke bazokhonza “umuntu” onganakekile. Ingabe lolu ngeke kube usuku lwenkazimulo kaNkulunkulu? Ngelinye ilanga, abafundisi abadala bazothumela amathelegramu befuna amanzi omthombo wokuphila. Bazobe bekhulile, kodwa nabo bazoza bakhonze lo muntu, lowo ababemdelela. Emilonyeni yabo bazoqaphela futhi ezinhliziyweni zabo bazothemba—ingabe lolu akulona uphawu noma isimanga? Lapho wonke umbuso ujabulela inkazimulo kaNkulunkulu, futhi noma ubani oza kinina futhi amukele izindaba ezinhle zikaNkulunkulu uzobusiswa Nguye, futhi la mazwe nalaba bantu bazobusiswa futhi banakekelwe uNkulunkulu. Umyalelo wangelinye ilanga uyoba nje: Labo abathole amazwi evela emlonyeni kaNkulunkulu bazoba nendawo yokuhamba emhlabeni, futhi noma bangosomabhizinisi noma ososayensi, noma othisha, noma abezimboni, labo abangenawo amazwi kaNkulunkulu kuzoba nzima ngisho ukuthatha isinyathelo esisodwa, futhi bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Yilokho okushiwoyo uma kuthiwa, “Ngeqiniso uzohamba emhlabeni wonke; ngaphandle kweqiniso, ngeke uye ndawo.” Amaqiniso awukuthi: UNkulunkulu uzosebenzisa Indlela (okusho ukuthi wonke amazwi Akhe) ukuze aqondise wonke umhlaba futhi abuse futhi anqobe isintu. Abantu bahlale bethemba ukujika okukhulu emisebenzini kaNkulunkulu. Ukucacisa, uNkulunkulu uqondisa abantu ngezwi, futhi kumele wenze lokho akushoyo kungakhathaleki ukuthi uyafisa ukwenza lokho noma cha; leli yiqiniso elingenakuphikwa, futhi kumele lilalelwe yibo bonke, nalo futhi laziwe yibo bonke.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi kaNkulunkulu azosabalalela emakhaya angenakubalwa, azokwaziwa yibo bonke, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho amazwi Akhe ezosabalala emhlabeni wonke. Okungukuthi, uma umsebenzi Wakhe kumele usabalale kuwo wonke umhlaba, amazwi Akhe kumele asatshalaliswe. Osukwini lwenkazimulo kaNkulunkulu, amazwi Akhe azobonisa amandla negunya lawo. Onke amazwi Akhe kusukela ngesikhathi esingakhumbuleki kuze kube namuhla azofezeka futhi azogcwaliseka. Ngale ndlela, inkazimulo izoya kuNkulunkulu emhlabeni—okusho ukuthi, amazwi Akhe azobusa emhlabeni. Bonke ababi bazosolwa amazwi asemlonyeni kaNkulunkulu, bonke abalungile bazobusiswa amazwi omlomo Wakhe, futhi bonke bazokwakhiwa futhi bapheleliswe amazwi omlomo Wakhe. Angeke abonise noma yiziphi izimpawu noma izimangaliso; konke kuzofezwa amazwi Akhe, futhi amazwi Akhe azokhiqiza amaqiniso. Wonke umuntu emhlabeni uzohalalisela amazwi kaNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi badala noma bayizingane, owesilisa, owesifazane, omdala, omncane, bonke abantu bazozithoba ngaphansi kwamazwi kaNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu abonakala esenyameni, evumela abantu ukuba bawabone emhlabeni, ecacile futhi ephila. UNkulunkulu uze emhlabeni ikakhulukazi ukuze afeze iqiniso lokuthi “uLizwi uba yinyama,” okusho ukuthi, uze ukuze amazwi Akhe azonikezwa esenyameni (hhayi njengasesikhathini sikaMose eTestamenteni Elidala, lapho uNkulunkulu ayekhuluma ngokuqondile esesibhakabhakeni). Ngemva kwalokho ngalinye lamazwi Akhe lizogcwaliseka phakathi neNkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane, azoba amaqiniso asobala emehlweni abantu, futhi abantu bazowabona ngamehlo abo ngaphandle kokungabaza. Lena yincazelo yangempela yokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu. Okungukuthi, umsebenzi kaMoya ufezwa ngenyama, nangamazwi. Lena incazelo enembayo yokuthi “uLizwi waba yinyama” nethi “Ukubonakala kukaLizwi enyameni.” UNkulunkulu kuphela ongakhuluma intando kaMoya, futhi uNkulunkulu osenyameni kuphela ongakhulumela uMoya; amazwi kaNkulunkulu enziwe acaca ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, futhi wonke umuntu uqondiswa yiwo. Akekho okhululiwe, bonke bakhona ngaphakathi kwalo mngcele. Yingala mazwi kuphela lapho abantu bengakwazi khona; labo abangazuzi ngale ndlela bayaziphuphela nje uma becabanga ukuthi bangathola amazwi avela ezulwini. Lelo gunya libonakaliswe uNkulunkulu ekuguqulweni abe yinyama: ukwenza ukuba bonke bakholwe. Ngisho kuthiwa ompetha abaqeqeshiwe noma abefundisi bezinkolo angeke bakwazi ukukhuluma la mazwi. Kumele bazithobe kuwo, futhi akekho ongakwazi ukuqalisa kabusha. UNkulunkulu uzosebenzisa amazwi ukuze anqobe umhlaba wonke. Uzokwenza lokhu hhayi ngokuguqulelwa enyameni, kodwa ngokusebenzisa amazwi avela umlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama ukuze anqobe bonke abantu emhlabeni wonke; yilokhu kuphela okunguLizwi eba yinyama, futhi yilokhu kuphela ukubonakala kukaLizwi enyameni. Mhlawumbe, kubantu, kubonakala sengathi uNkulunkulu akakenzi msebenzi ongako—kodwa uNkulunkulu kufanele akhlume nje amazwi Akhe kubantu ukuze bakholwe ngokuphelele, futhi kubo ukuze bathuthumele. Ngaphandle kwamaqiniso abantu bayamemeza futhi bakhamuluke; ngamazwi kaNkulunkulu, bayathula. UNkulunkulu nakanjani uzolifeza leli qiniso, ngoba kuyicebo Lakhe lesikhathi eside: ukufeza ukufika kukaLizwi emhlabeni. Eqinisweni, asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni. Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okulandelayo: Izigaba Ezintathu Zomsebenzi

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp