Ukwazi Umsebenzi KaNkulunkulu 2

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 188)

Njengomuntu okholwa kuNkulunkulu, kufanele uqonde ukuthi, namhlanje, ekutholeni umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina nawo wonke umsebenzi wohlelo lukaNkulunkulu kuwe, uthole ngempela ukuphakanyiswa nensindiso enkulu okuvela kuNkulunkulu. Yonke imisebenzi kaNkulunkulu emhlabeni wonke jikelele igxile kuleli qembu labantu. Unikele wonke amandla Akhe kini wakudela konke ngenxa yenu; uphinde wabuyisa yonke imisebenzi kaMoya emhlabeni wonke wayinikeza nina. Kungakho ngithi, ninenhlanhla. Ngaphezu kwalokho, ususe inkazimulo Yakhe ku-Israyeli, abantu Bakhe abakhethile, wayiletha kini, ukuze afeze inhloso yohlelo Lwakhe ngokugcwele ngani qembu labantu. Ngakho-ke, niyilabo abazothola ifa likaNkulunkulu, futhi ngaphezulu niyizindlalifa zenkazimulo kaNkulunkulu. Mhlawumbe niyawakhumbula nonke la mazwi: “Ngokuba usizi lwethu olulula, olungolwesikhashana, lusisebenzela isilinganiso esiphezulu kakhulu senkazimulo yaphakade.” Esikhathini esedlule, nisizwile nonke lesi sisho, kodwa akekho owayiqonda incazelo eyiqiniso yala mazwi. Namhlanje, nazi kahle ukubaluleka kwalokhu akushoyo. Lawa mazwi ayilokhu uNkulunkulu azokufeza ngezinsuku zokugcina. Futhi azogcwaliseka kulabo abahlushwe ngonya ngukadrako omkhulu obomvu kulelo zwe lapho ekhona. Udrako omkhulu obomvu uhlupha uNkulunkulu futhi uyisitha sikaNkulunkulu, ngakho kuleli zwe, labo abakholwa kuNkulunkulu bazithola behlazeka futhi behlushwa. Kungakho la mazwi ezoba yiqiniso kini qembu labantu. Njengoba umsebenzi wenziwa ezweni eliphikisa uNkulunkulu, wonke umsebenzi Wakhe uhlangabezane nokuvinjelwa okukhulu futhi amazwi Akhe amaningi awakwazi ukugcwaliseka ngesikhathi esifanele; ngakho abantu balungisiwe ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Lokhu futhi kuyingxenye yokuhlupheka. Kunzima kakhulu kuNkulunkulu ukwenza umsebenzi Wakhe ezweni likadrako omkhulu obomvu, kodwa kungenxa yobunzima obunjalo lapho uNkulunkulu enza izigaba zomsebenzi Wakhe ziveze ubuhlakani Bakhe nemisebenzi emangalisayo. UNkulunkulu uthatha leli thuba ukuphelelisa leli qembu labantu. Ngenxa yokuhlupheka kwabantu, izinga labo, nesimo sabantu esinobusathane kulo mhlaba ongahlanzekile, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe wokuhlanza nokunqoba ukuze kulokhu azuze inkazimulo azuze nalabo abafakaza ngezenzo Zakhe. Lokhu kungukubaluleka kwakho konke ukuzidela kukaNkulunkulu ngenxa yaleli qembu labantu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunqoba ngalabo abamphikisayo. Ukwenza kanjena kuphela okugqamisa amandla amakhulu kaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, yilabo abasezweni elingcolile kuphela abafanele ukuthola ifa lenkazimulo kaNkulunkulu, yilokhu kuphela okunganikeza ukugqama kwamandla amakhulu kaNkulunkulu. Yingakho ngithi inkazimulo kaNkulunkulu itholwa ezweni elingcolile nakulabo abahlala kulona. Le yintando kaNkulunkulu. Lokhu kufana nje nasesigabeni somsebenzi kaJesu; wayengakhazimuliswa kuphela phakathi kwalabo baFarisi ababemhlupha. Uma kwakungekhona ukuhlushwa nokukhashelwa nguJudasi, uJesu wayengasoze abe yinhlekisa noma athukwe, ngisho nokubethelwa imbala, futhi ngabe akazange athole inkazimulo. Lapho uNkulunkulu asebenza khona esikhathini ngasinye nalapho enza khona umsebenzi Wakhe wenyama, uthola udumo khona lapho azuze labo ahlose ukubazuza. Lolu uhlelo lomsebenzi kaNkulunkulu, futhi lokhu ukuphatha Kwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ngabe Umsebenzi KaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 189)

Ohlelweni lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa, umsebenzi owenziwe enyameni unezingxenye ezimbili: Ingxenye yokuqala ngumsebenzi wokubethelwa, lapho ayidunyiselwayo; enye ngumsebenzi wokunqoba nowokupheleliswa ezinsukwini zokugcina, azothola ngawo inkazimulo. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Ngakho, ungawuthathi ngokuthi ulula kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu noma ukuthunywa kwakho nguNkulunkulu. Nonke niyizindlalifa zenkazimulo yaphakade kaNkulunkulu enesisindo esikhulu kakhulu, lokhu kwagcotshwa nguNkulunkulu ngokukhethekile. Kulezi zingxenye ezimbili zenkazimulo Yakhe, enye yambuliwe kini, ukuphelela kwenye ingxenye yenkazimulo kaNkulunkulu kunikezwe nina ukuze kube yifa lenu. Lokhu ukuphakanyiswa okuvela kuNkulunkulu nohlelo Lwakhe olwahlelwa kudala. Ukubona ubukhulu bomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu ezweni lapho udrako omkhulu obomvu ahlala khona, lowo msebenzi uma uyiswa kwenye indawo, ngabe kade wathela izithelo ezinkulu futhi ngabe wamukelwe kalula ngabantu. Umsebenzi onjalo ubungaba lula kakhulu kulabo befundisi baseNtshonalanga abakholwa kuNkulunkulu, ngoba isigaba somsebenzi kaJesu sisebenza njengesandulelo. Yingakho engakwazi ukuzuza lesi sigaba somsebenzi wokudunyiswa kwenye indawo; okusho ukuthi lapho kunokusekwa okuvela kubo bonke abantu nokubonga okuvela kuzo zonke izizwe, ayikho indawo inkazimulo kaNkulunkulu engaphumula kuyo. Futhi lokhu kuwukubaluleka okungavamile impela lesi isigaba somsebenzi esinakho kuleli zwe. Phakathi kwenu, akukho namunye umuntu othola ukuvikelwa komthetho; kodwa niyajeziswa ngumthetho, kanti ubunzima obukhulu ukuthi akekho umuntu oniqondayo, kungaba yizihlobo zenu, abazali benu abangane benu noma ozakwenu emsebenzini. Akekho oniqondayo. Uma uNkulunkulu ekulahla, ayikho indlela ongaqhubeka uphile ngayo emhlabeni. Kodwa-ke, noma kunjalo abantu angeke bakwazi ukushiya uNkulunkulu; lokhu ukubaluleka kokunqotshelwa kwabantu nguNkulunkuku, kanti lokhu kuyinkazimulo kaNkulunkulu. Lokho okuthole njengefa namuhla kwedlula okwabapostoli nabaphrofethi bakudala bonke futhi kukhulu kunalokho okukaMose noPetru. Izibusiso azisoze zitholwe ngelanga noma amabili, kufanele zizuzwe ngokuzidela okukhulu. Okusho ukuthi ufanele ube nothando oluhlanzekile, ukholo olukhulu, namaqiniso amaningi lawo uNkulunkulu akucela ukuba ube nawo; phezu kwalokho, ufanele ukuba ubhekise ubuso bakho kubulungisa ungaze uzigogobeze noma uzibeke phansi, futhi ufanele ukuba nothando olungaguquki futhi olunganciphi kuNkulunkulu. Kudingeka wenze isinqumo, njengoba kunoguquko esimweni sempilo yakho; inkohlakalo yakho kufanele yelashwe, kufanele wamukele konke ukuhlela kuNkulunkulu ngaphandle kokukhononda, futhi ulalele kuze kube sekufeni. Yilokhu okufanele ukuzuze. Lokhu yinhloso yokugcina yomsebenzi kaNkulunkulu, nokudingwa uNkulunkulu kuleli qembu labantu. Njengoba ekunikeza, Naye ke kufanele acele kuwe ukuze akunike lokhu okudingayo nawe. Ngakho-ke, yonke imisebenzi kaNkulunkulu inezizathu, futhi kulokhu kuyabonakala ukuthi kungani uNkulunkulu njalo enza umsebenzi osezingeni eliphakeme nonezidingo eziqinile. Yingakho kufanele ugcwaliswe ngokholo kuNkulunkulu. Ngamafuphi, wonke umsebenzi kaNkulunkulu wenziwe ngenxa yakho ukuze ufanele ukuthola ifa Lakhe. Lokhu akukona kangako ukuthi uNkulunkulu athole inkazimulo kodwa kungenxa yosindiso lwakho nokuphelelisa leli qembu labantu abahlupheke kakhulu ezweni elingahlanzekile. Kufanele uqonde intando kaNkulunkulu. Ngakho ngishumayeza abaningi abantu abangenalwazi abangenambono noma umqondo: Ungalingi uNkulunkulu futhi unganqabi. uNkulunkulu usekumele konke ukuhlupheka lokho umuntu angakadluli kukona, kanti kudala wahlushwa kakhulu endaweni yomuntu. Yini enye ongeke uhlukane nayo? Yini engabaluleka kakhulu ukwedlula intando kaNkulunkulu? Yini engadlula uthando lukaNkulunkulu? Kuwumsebenzi ongumshikashika ophindiwe kaNkulunkulu ukuba awenze kule lizwe elingahlanzekile. Uma umuntu ona, azi futhi ehlosile, umsebenzi kaNkulunkulu uzofanela ukwelulwa. Vele, lokhu akubi ukuzuza komunye, futhi akuhlomuli muntu. UNkulunkulu akavinjelwa yisikhathi; umsebenzi Wakhe nenkazimulo Yakhe ziza kuqala. Ngakho-ke, noma ngabe kuthatha isikhathi eside kangakanani, angeke ashiye noma ngabe yikuphi ukuzidela uma ngabe kungumsebenzi Wakhe. Lesi yisimo sikaNkulunkulu: Angeke aphumule kuze kufezwe umsebenzi Wakhe. Uma isikhathi sifika kulapho ethola ingxenye yesibili yenkazimulo Yakhe ukuze umsebenzi Wakhe ucishe ufezwe. Uma uNkulunkulu engeqede umsebenzi Wakhe wengxenye yesibili yenkazimulo Yakhe, usuku Lwakhe ngeke lufike, isandla Sakhe angeke sisuke kulabo abakhethile, inkazimulo Yakhe ayisoze yafika ku-Israyeli, kanti uhlelo Lwakhe angeke lwafezwa. Ufanele ukubona intando kaNkulunkulu futhi ubone ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awulula njengokudalwa kwezulu nomhlaba nazo zonke izinto. Umsebenzi wanamuhla ukuguqula labo abonakalisiwe, abandikindiki ngokwedlulele, ukuhlanza labo abadaliwe kodwa bathathwa nguSathane. Akuwona owokudala u-Adamu noma u-Eva, hhayi nokwenza ukukhanya noma ukudala zonke izinhlobo zezithombo nezilwane. Umsebenzi Wakhe manje ukuhlanza bonke labo abonakalisiwe nguSathane ukuze bazuzwe kabusha babe ngabantu Bakhe babe inkazimulo Yakhe. Umsebenzi onjalo awulula njengoba umuntu ecabanga ngokudalwa kwezulu nomhlaba nezinto zonke ezikhona, futhi akufani nomsebenzi wokuqalekisela uSathane emgodini ongenamkhawulo njengoba umuntu ecabanga. Kodwa, ukuguqula umuntu, ukuguqula lokho okungekuhle kube okuhle nokuthatha lokho okungekona okwakhe kube okwakhe. Le indaba yangaphakathi yaleli banga lomsebenzi kaNkulunkulu. Ufanele uyazi, futhi ungenzi lula kakhulu izinto. Umsebenzi kaNkulunkulu awufani nanoma yiwuphi umsebenzi ojwayelekile. Ubukhulu bawo abuqondakali emqondweni womuntu, kanti ubuhlakani bawo angeke baziwe wumuntu. Kulesi sigaba somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu akadali zonke izinto kanti futhi akazibhidlizi. Kodwa, uguqula yonke indalo Yakhe ahlanze zonke izinto ezoniwe uSathane. Ngakho-ke uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omkhulu kanti lokhu kuwukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Ngemva kokufunda la mazwi, uyakholwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ulula kangaka?

Kucashunwe embhalweni othi “Ngabe Umsebenzi KaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 190)

Iminyaka eyizi-6,000 yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ihlukaniswe ezigabeni ezintathu: iNkathi yoMthetho, iNkathi yoMusa kanye neNkathi yoMbuso. Le zigaba ezintathu zomsebenzi zonke ezokusindiswa kwesintu, okungukuthi, ezokusindiswa kwesintu esonakaliswe kakhulu nguSathane. Ngesikhathi esifanayo, kepha, ezokuthi uNkulunkulu alwe noSathane. Ngakho, njengoba umsebenzi wensindiso uhlukaniswe izigaba ezintathu, ngokunjalo impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu, futhi le zingxenye zombili zomsebenzi kaNkulunkulu zenzeka ngesikhathi esisodwa. Impi noSathane, empeleni, eyokusindiswa kwesintu, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi wokusindiswa kwesintu akuyona into engaqedwa ngempumelelo esigabeni esisodwa, impi noSathane nayo ihlukaniswe ngezigaba nezinkathi, futhi nempi iliwa noSathane ngokuhambisana nezidingo zomuntu kanye nezinga lokonakaliswa kwakhe nguSathane. Mhlawumbe, ekucabangeni ngamehlo engqondo komuntu, ukholwa ukuthi kule mpi uNkulunkulu uzohloma izikhali abhekane noSathane, ngendlela efanayo namabutho amabili angalwa ngayo. Lokhu yinto kuphela engacatshangwa umqondo womuntu, futhi ingumbono ongaqondakali futhi ongacatshangisiwe kakhulu kabi, kepha yilokho umuntu akukholwayo. Futhi ngoba ngithi lapha indlela yensindiso yomuntu idlula empini noSathane, umuntu ucabanga ukuthi impi yenzeka kanje. Emsebenzini wensindiso yomuntu, izigaba ezintathu zenziwe, okungukuthi impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu ngaphambi kokuhlulwa okuphelele kukaSathane. Kepha iqiniso elingaphakathi lomsebenzi wonkana wempi noSathane lithi imiphumela yawo itholakala ngezinyathelo zomsebenzi eziningi: ukuthela umusa phezu komuntu, kanye nokuba umhlabelo wesono womuntu, ukuthethelela izono zomuntu, ukunqoba umuntu, nokuphelelisa umuntu. Empeleni, impi noSathane akukhona ukuhloma izikhali ubhekane noSathane, kodwa insindiso yomuntu, ukusebenza impilo yomuntu, kanye nokushintsha isimo somuntu ukuze afakazele uNkulunkulu. USathane unqotshwa kanje. USathane unqotshwa ngokushintsha isimo esikhohlakele somuntu. Uma uSathane esehluliwe, okungukuthi, uma umuntu esesindisiwe ngokuphelele, uSathane ojabhile uyoboshwa ngokuphelele, futhi ngaleyo ndlela, umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, ingqikithi yensindiso yomuntu impi noSathane, kanti impi noSathane ibonakaliswa esikakhulukazi ensindisweni yomuntu. Isigaba sezinsuku zokugcina, lapho umuntu ezonqotshwa khona, isigaba sokugcina sempi noSathane, kanti futhi umsebenzi wokusindiswa okuphelele komuntu emandleni kaSathane. Incazelo yangaphakathi yokunqotshwa komuntu ukubuya kokusamuntu kukaSathane, umuntu owonakaliswe nguSathane, kuMdali, emuva kokunqotshwa kwakhe, ngalokho uyoshiya uSathane futhi abuyele ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngale ndlela umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, umsebenzi wokunqoba umsebenzi wokugcina empini ebhekene noSathane, kanye nesigaba sokugcina ekuphatheni kukaNkulunkulu ukuze kuhlulwe uSathane. Ngaphandle kwalo msebenzi, ukusindiswa komuntu okuphelele bekungeke kwenzeke neze ekugcineni, ukuhlulwa ngokuphelele kukaSathane nakho bekungeke kwenzeke neze, futhi isintu besingeke neze sikwazi ukungena esiphethweni esimangalisayo, noma ukukhululeka ethonyeni likaSathane. Ngenxa yalokho, umsebenzi wokusindiswa komuntu ngeke uphethwe ngaphambi kukuthi impi noSathane iphethwe, ngoba umnyombo womsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ungenxa yokusindiswa kwesintu. Isintu sasekuqaleni sasisezandleni zikaNkulunkulu, kodwa ngenxa yokulingwa nguSathane nokonakaliswa, umuntu waboshwa nguSathane futhi wawela ezandleni zomubi. Ngakho, uSathane waba yinto okufanele yehlulwe emsebenzini wokuphatha kukaNkulunkulu. Ngoba uSathane wamngena umuntu, nangenxa yokuthi umuntu uwumsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu, uma umuntu ezosindiswa, kufanele ahlwithwe ezandleni zikaSathane, okusho ukuthi umuntu kufanele abuyiswe emva kokuthunjwa nguSathane. Ngalokhu, uSathane kufanele anqotshwe ngezinguquko esimweni somuntu esidala, izinguquko ezibuyisela umqondo wakhe wokuqala, bese ngale ndlela, umuntu, obethunjiwe, ehlwithwa ezandleni zikaSathane. Uma umuntu ekhululiwe ethonyeni nokuboshwa nguSathane, uSathane uyojabhiswa, umuntu ekugcineni uyobuyiselwa emuva, futhi uSathane uyohlulwa. Futhi ngenxa yokuthi umuntu usekhululiwe ethonyeni elimnyama likaSathane, umuntu uyoba impango yayo yonke lempi, futhi uSathane uyoba umenziwa oyojeziswa uma lempi seyiphelile, emuva kwalokho umsebenzi usuwonkana wokusindiswa komuntu uyobe usuqediwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 191)

UNkulunkulu uwumuntu ezweni elibanzi lamaShayina, balibiza kanjalo abomdabu baseHong Kong nabaseTaiwan ugu. Lapho uNkulunkulu ehlela emhlabeni, akekho ezulwini owayazi ngalokho, ngoba lena incazelo yangempela yokubuya kukaNkulunkulu ngendlela efihlekile. Ubelokhu eyinyama esebenza futhi ephila isikhathi eside, kodwa akekho owaze ngakho. Kuze kube namuhla, akekho obonayo. Mhlawumbe lokhu kuyoba impicabadala kuze kube phakade. Ukuba yinyama kukaNkulunkulu kulokhu akuyona into engabonwa yinoma ubani. Kungakhathaliseki ukuthi umsebenzi kaMoya ubanzi futhi unamandla kangakanani, uNkulunkulu uhlale ezolile, akalokothi aphaphazele. Omunye angase athi kunjengokungathi lesi sigaba somsebenzi Wakhe senzeka endaweni yasezulwini. Nakuba kusobala kuwo wonke umuntu, akekho okuqaphelayo. Lapho uNkulunkulu eqeda lesi sigaba somsebenzi Wakhe, wonke umuntu uyovuka emaphusheni akhe amade abuyise umbono ayenawo ekuqaleni.[1] Ngikhumbula ukuthi uNkulunkulu wake wathi, “Ukuza enyameni kulokhu kufana nokuwela esibayeni sezingwe.” Lokhu kuchaza ukuthi, ngenxa yalesi siwombe somsebenzi kaNkulunkulu, uNkulunkulu ungena enyameni, futhi, ngaphezu kwalokho, uzalelwe endaweni okuhlala kuyo udrako omkhulu obomvu, futhi ngaphezu kwenkathi engaphambili, kulokhu ubhekana nengozi ngokuza emhlabeni. Ubhekene nemimese nezibhamu kanye nezagila; ubhekene nesilingo; ubhekene nezixuku ezinenswebu yokubulala. Uzifaka engozini yokubulawa noma yinini. UNkulunkulu wafika enolaka. Nokho, wafikela ukwenza umsebenzi wokuphelelisa, okusho ukwenza ingxenye yesibili yomsebenzi Wakhe eqhubeka ngisho nangemva komsebenzi wokuhlenga. Ngenxa yalesi sigaba somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu unikele ngayo yonke imicabango futhi usebenzisa zonke izindlela ukuze agweme izilingo, uyazithoba futhi akalokothi aveze ubuntu Bakhe. Lapho esindisa umuntu esiphambanweni, uJesu wayemane ephelelisa umsebenzi wokuhlenga; wayengenzi umsebenzi wokuphelelisa. Ngakho kwakwenziwa uhhafu womsebenzi kaNkulunkulu, futhi ukuqeda umsebenzi wokuhlenga kwakuyingxenye yalo lonke icebo Lakhe. Njengoba inkathi entsha yayisizoqala futhi endala isiphela, uNkulunkulu uBaba waqala ukucabanga ngengxenye yesibili yomsebenzi Wakhe futhi wenza amalungiselelo awo. Lokhu kuba sesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina akuprofethwanga ngokucacile esikhathini esedlule, ngalokho kwabeka isisekelo semfihlo edlondlobalayo ngokungena kukaNkulunkulu enyameni ngalesi sikhathi. Lapho kusa, kungazi muntu, uNkulunkulu weza emhlabeni waqala ukuphila enyameni. Abantu babengawunakile lo mzuzu. Mhlawumbe babezumekile, mhlawumbe labo ababebhekile begadile babelindile, mhlawumbe abanye babethandaza buthule kuNkulunkulu ezulwini. Kodwa phakathi kwabo bonke labantu abaningi, akekho noyedwa owayazi ukuthi uNkulunkulu wayesefikile kakade emhlabeni. UNkulunkulu wasebenza ngale ndlela ukuze awufeze ngaphandle kwezingqinamba umsebenzi Wakhe futhi athole imiphumela engcono, nokuthi agweme ezinye izilingo. Lapho umuntu ephaphama, umsebenzi kaNkulunkulu wawusuphele kudala futhi wayesehamba, waqhubeka nokuphila noma uhambo lwasemhlabeni. Ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu udinga ukuthi uNkulunkulu azenzele futhi akhulume mathupha, nokuthi ayikho indlela yokungenela komuntu, uNkulunkulu ubekezelele ubuhlungu obukhulu bokuza emhlabeni ezozenzela umsebenzi. Umuntu akakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu uzifake engozini izikhathi eziyizinkulungwane eziningi kunezangeNkathi Yomusa eza lapho kuhlala khona udrako omkhulu obomvu ezokwenza umsebenzi Wakhe, ezozama ngazo zonke izindlela ukuzohlenga leli qembu elingenabani labantu, ezotakula leli qembu labantu elibishe odakeni. Noma engekho owazi ngokuba khona kukaNkulunkulu, uNkulunkulu akanankinga ngoba kuwuzuzisa kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umuntu ukhohlakele kakhulu, ngakho umuntu angakubekezelela kanjani ukuba khona kukaNkulunkulu? Yingakho emhlabeni uNkulunkulu ehlale engasho lutho. Akunandaba ukuthi umuntu ukhohlakele kangakanani, akukho lukho uNkulunkulu akufaka enhliziyweni, kodwa uqhubeka enza umsebenzi okudingeka awenze ukuze afeze umsebenzi omkhulu awunikwe uBaba osemazulwini. Ubani phakathi kwenu obone uthando lukaNkulunkulu? Ubani okhathakazeka kakhulu ngomthwalo kaBaba uNkulunkulu ukwedlula iNdodana Yakhe? Ubani okwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu uBaba? Umoya kaNkulunkulu, uBaba osezulwini uhlale uhlukumezeka, iNdodana Yakhe emhlabeni ihlale ithandaza ngentando kaNkulunkulu uBaba, ikhathazeke inhliziyo Yakhe ibe izicucu. Ingabe ukhona owazi uthando uNkulunkulu uBaba analo ngeNdodana Yakhe? Ingabe ukhona owazi ukuthi iNdodana ethandwayo imkhumbula kangakanani uNkulunkulu uYise? Behlukaniswe izulu nomhlaba, laba ababili bahlale bexhumana nakuba beqhelelene, besebenzisa uMoya. Nina sintu! Niyokhathazeka nini ngenhliziyo kaNkulunkulu? Niyoyiqonda nini inhloso kaNkulunkulu? UBaba neNdodana bebelokhu bebambisene. Kungani pho kufanele bahlukaniswe, omunye abe sezulwini omunye abe semhlabeni? UBaba uyayithanda iNdodana Yakhe neNdodana iyamthanda uYise. Kungani pho kufanele silinde ngokulangazela nokukhathazeka okunjalo? Nakuba bengakahlukaniswa isikhathi eside, ingabe ukhona owaziyo ukuthi uBaba ubelokhu elangazelela izinsuku eziningi ukubona iNdodana Yakhe ayithandayo ibuya? Uyabuka, ahlale buthule, alinde. Konke kumayelana nokubuya ngokushesha kweNdodana Yakhe ayithandayo. Kunini lapho ayophinde khona abe neNdodana Yakhe ezulazula emhlabeni? Ngisho noma bake baba ndawonye, basazoba ndawonye kuze kube phakade, angazibekezelela kanjani izinkulungwane zezinsuku bengekho ndawonye, omunye esemhlabeni omunye esezulwini? Amashumi eminyaka emhlabeni afana nezinkulungwane zeminyaka ezulwini. UNkulunkulu uBaba angahlala kanjani engakhathazeki? Lapho uNkulunkulu efika emhlabeni, wenza izinguquko eziningi ezweni labantu njengoba nje kwenza umuntu. UNkulunkulu Uqobo umsulwa, ngakho kungani uNkulunkulu kufanele ezwe ubuhlungu obufana nobomuntu? Yingakho uNkulunkulu uBaba eyilangazelela kangaka iNdodana Yakhe; ubani ongaqonda inhliziyo kaNkulunkulu? UNkulunkulu unika umuntu okuningi; umuntu angayikhokhela ngani inhliziyo kaNkulunkulu? Kodwa kuncane kakhulu umuntu akunika uNkulunkulu; angahlala kanjani-ke uNkulunkulu angakhathazeki?

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Ukubuyisa umbono ababenawo ekuqaleni” kubhekisela endleleni abantu abacabanga nababheka ngayo uguquko lukaNkulunkulu lapho sebazi uNkulunkulu.

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 192)

Kucishe kungabi khona muntu phakathi kwabantu okuqondayo ukuphuthuma esimweni somqondo kaNkulunkulu ngenxa yokuthi izinga labantu liphansi kakhulu futhi umoya wabo ubuthuntu kakhulu, futhi ngoba bonke abakunaki okwenziwa uNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu ulokhu ekhathazeka ngomuntu, ngokuthi ubulwane bomuntu bungagqashuka noma inini. Lokhu kuphinde kuveze ukuthi ukuza kukaNkulunkulu emhlabeni kuhambisana nezilingo ezinkulu. Kodwa ngenxa yokuqedela iqembu labantu, uNkulunkulu wodumo, watshela umuntu zonke izinhloso Zakhe, wangafihla lutho. Unqume ngokuqinile ukuqedela leli qembu labantu. Ngakho, lapho kuza ubunzima noma izilingo, unquma ukukushalazelela konke. Uwenza buthule umsebenzi Wakhe, ukholelwa ngokunamandla ukuthi ngelinye ilanga lapho uNkulunkulu ethole inkazimulo, umuntu uyomazi uNkulunkulu, nokuthi lapho uNkulunkulu eseqedile ngomuntu, umuntu uyoyiqonda inhliziyo kaNkulunkulu. Okwamanje kungenzeka kunabantu abalinga uNkulunkulu noma abangamqondi noma abambeka amabala uNkulunkulu; akukho kulokho uNkulunkulu akufaka enhliziyweni. Lapho uNkulunkulu ehla eba inkazimulo, bonke abantu bayoqonda ukuthi konke okwenziwa uNkulunkulu kungenxa yenhlala-kahle yomuntu, futhi bayoqonda ukuthi uNkulunkulu usuke enzela ukuthi abantu baphile kangcono. Ukuza kukaNkulunkulu kuphelezelwa izilingo, futhi uNkulunkulu uza ngamandla nangolaka. Lapho uNkulunkulu eshiya izulu, uyobe eseyitholile kakade inkazimulo, uyobe esekhazinyuliswe ngokuphelele futhi kuyoba nenhlokomo lapho ebuya. UNkulunkulu osebenza emhlabeni akafaki izinto enhliziyweni, kungakhathaliseki ukuthi abantu bamphika kangakanani. Umane nje wenza umsebenzi Wakhe. Ukudala kukaNkulunkulu umhlaba kwenzeka eminyakeni eyizinkulungwane edlule, uze emhlabeni ukuze enze umsebenzi omkhulu kakhulu, futhi ukubone ngokuphelele ukuphikwa abantu nokunyundelwa. Akekho owamukela ukufika kukaNkulunkulu; bonke abamnakile. Endabeni yezinkulungwane zeminyaka yobunzima, ukuziphatha komuntu kade kwaba yize enhliziyweni kaNkulunkulu. Akasakunaki ukuhlubuka kwabantu, kodwa esikhundleni salokho wenza icebo elihlukile lokuguqula nokuhlanza umuntu. Ukululazwa, ukunyundwa, ukushushiswa, usizi, ukubulawa esiphambanweni, ukucwaswa komuntu, nokunye uNkulunkulu akubone enyameni—uNkulunkulu usekubone kwanela. UNkulunkulu osenyameni uzwe ubuhlungu obukhulu ezweni labantu. Umoya kaNkulunkulu uBaba osezulwini kade wathola ngalezo zinto futhi wavala amehlo ngoba azibekezeleleki, ulinde ukubuya kweNdodana ethandekayo. Konke akufisayo ukuthi bonke abantu balalele, bakwazi ukubona usizi olusenyameni Yakhe, futhi bangahlubuki Kuye. Konke akufisayo ukuthi bonke abantu bakholwe ukuthi uNkulunkulu ukhona. Kade ayeka ukufuna izinto ezinkulu kumuntu ngoba uNkulunkulu usekhokhe inani elikhulu kakhulu, kodwa umuntu uyabukela,[1] akawufaki nhlobo umsebenzi kaNkulunkulu enhliziyweni.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Ukubukela” kubonisa ukuthi abantu abanaki umsebenzi kaNkulunkulu futhi abawuboni njengobalulekile.

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 193)

Ngesikhathi, eNkathini Yomusa, uNkulunkulu ebuyela ezulwini lesithathu, umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlenga sonke isintu empeleni wawusuqhubekele esinyathelweni sokugcina. Okuwukuphela okwakusele emhlabeni kwakuyisiphambano leso uJesu ayesithwele, ilineni elicolekile uJesu ayesongwe ngalo, kanye nomqhele wameva nengubo ebomvu klebhu uJesu ayeyigqokile (lezi yizinto amaJuda azisebenzisela ukuhlekisa Ngaye). Okungukuthi, emva kokuba umsebenzi wokubethelwa kukaJesu wawudale isasasa, izinto zabuye zathula. Kusukela ngaleso sikhathi kuye phambili, abafundi bakaJesu baqala ukuqhubekisela phambili umsebenzi Wakhe, belusa futhi benisela emabandleni yonke indawo. Okuqukethwe umsebenzi wabo kwakuyilokhu: ukwenza bonke abantu baphenduke, bavume izono zabo, futhi babhapathizwe; abaphostoli bonke basakaza indaba yangaphakathi yokubethelwa kukaJesu kanye nalokho okwakwenzeke ngempela, bonke abantu abakwazanga ukuzibamba kodwa baziphonsa phambi kukaJesu ukuze bavume izono zabo, futhi ngaphezu kwalokho, abaphostoli basakaza yonke indawo amazwi uJesu awakhuluma kanye nemithetho nemiyalo ayenza. Kusukela lapho kwaqala ukwakhiwa kwamabandla eNkathini Yomusa. Lokho uJesu akhuluma ngakho kuleyo nkathi kwaphinde kwagxila ekuphileni komuntu nasentandweni kaBaba osezulwini. Kungenxa yokuthi izinkathi zahlukene kuphela okwenza ukuthi lokho okwakushiwo nokwakwenziwa kwehluke kakhulu kulokho kwanamuhla. Kodwa ingqikithi yakho kokubili iyafana. Akukho okungaphezulu noma okungaphansi komsebenzi woMoya kaNkulunkulu enyameni. Lolo hlobo lomsebenzi kanye nalawo mazwi kuqhubeke kwaze kwaba namuhla, ngakho futhi kusabelwana ngalolu hlobo lwento ezakhiweni zenkolo zanamuhla, futhi akuguqukile nhlobo. Ngesikhathi umsebenzi kaJesu uphethwa futhi amabandla esengene endleleni efanele kaJesu Kristu, uNkulunkulu waqala izinhlelo zesinye isigaba somsebenzi Wakhe, indaba yokuba sesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina. Kumuntu, ukubulawa kukaJesu esiphambanweni kwasonga umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, kwahlenga sonke isintu, futhi kwamkhulula ukuba athathe izihluthulelo zeHayidesi. Wonke umuntu ucabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usufezwe ngokugcwele. Eqinisweni, kuNkulunkulu, kufezwe ingxenye encane yalo msebenzi. Usasihlengile kuphela isintu; akakasinqobi, uma wakhipha ububi bukaSathane kumuntu. Yingakho uNkulunkulu ethi, “Nakuba ukuba kwaba umuntu kwangizwisa ubuhlungu ngaze ngafa, lokho kwakungeyona yonke inhloso yokuba Kwami umuntu. UJesu iNdodana Yami engiyithandayo futhi waphanyekwa esiphambanweni ngenxa Yami, kodwa akawuqedanga wonke umsebenzi Wami. Wenza ingxenye yawo.” Ngakho uNkulunkulu waqala isiwombe sesibili secebo lokuqhubeka nomsebenzi wakhe enyameni. Ekugcineni, uNkulunkulu ufuna ukuphelelisa nokuzuza wonke umuntu amsindise ezandleni zikaSathane, yingakho uNkulunkulu ezimisele ukuphinde azifake engozini yokungena enyameni. Lokho okuqondwe “ngokuba sesimweni somuntu” kubhekise kuLowo ongalethi inkazimulo (ngoba umsebenzi kaNkulunkulu awukapheli), kodwa obonakala esiqwini seNdodana ethandekayo, futhi enguKristu, uNkulunkulu ajabulayo Ngaye. Yingakho lokhu kuthiwa “wukubhekana nengozi.” Inyama inamandla amancane futhi kufanele iqaphelisise,[1] futhi amandla Ayo aqhele kakhulu egunyeni likaBaba osezulwini; futhi Yena ugcwalisa kuphela inkonzo yenyama, ufeza umsebenzi kaBaba uNkulunkulu kanye nokuthunywa ngaphandle kokubandakanyeka komunye umsebenzi. Ufeza kuphela ingxenye eyodwa yomsebenzi. Yingakho uNkulunkulu ebizwa ngokuthi “uKristu” lapho efika emhlabeni. Lena incazelo ejulile. Isizathu esenza kuthiwe ukuza kuhambisana nezilingo yingoba isakhiwo somsebenzi owodwa kuphela esifezwayo. Ngaphezu kwalokho, isizathu esenza uNkulunkulu uBaba amane ambize ngokuthi “uKristu” nangokuthi “iNdodana ethandekayo” futhi engamnikezi yonke inkazimulo kungenxa yakho kanye ukuthi inyama esimweni izele ukuzokwenza umsebenzi owodwa, hhayi ukuzomela uBaba osezulwini, kodwa kunalokho ukuzofeza inkonzo yeNdodana ethandekayo. Lapho iNdodana ethandekayo iqedela konke ukuthunywa eyakwamukela emahlombe Ayo, uBaba uzoyinika inkazimulo egcwele kanye nokubonakala kukaBaba. Umuntu angathi lokhu ukubusa kwasezulwini. Ngenxa yokuthi Lowo obe yinyama kanye noBaba osezulwini basezimweni ezimbili ezahlukene, laba bobabili babhekana kuphela ngoMoya, uBaba ubheka iNdodana ethandekayo kodwa iNdodana ayikwazi ukubona uBaba ekude. Kungenxa yokuthi ukusebenza kwenyama kuncane kakhulu futhi kungenzeka abulawe noma nini, ukuthi ukubonakala lokhu kuza kwakhe kuthiwa kuhambisana nengozi enkulu. Lokhu kuyafana nokuthi uNkulunkulu wake wadela iNdodana Yakhe ethandekayo futhi wayinikela emlonyeni wehlosi. Kuyingozi empilweni ukuthi uNkulunkulu anikele Ngayo endaweni lapho uSathane egxile kakhulu khona. Ngisho noma esesimweni esibucayi, uNkulunkulu wanikela iNdodana Yakhe ethandekayo kubantu basendaweni engcolile, abaziphethe kabi ukuba “bayikhulise.” Lokhu kwakungenxa yokuthi iyona kuphela indlela yokuba umsebenzi kaNkulunkulu wenze umqondo ophelele futhi iyona kuphela indlela yokugcwalisa zonke izifiso zikaNkulunkulu uBaba kanye nokufeza ingxenye yokugcina yomsebenzi Wakhe phakathi kwesintu. UJesu wafeza kuphela isigaba esisodwa somsebenzi kaNkulunkulu uBaba. Ngenxa yomgoqo wenyama esesimweni somuntu kanye nomehluko emsebenzini ofeziwe, uJesu uqobo akazange azi ukuthi kuyoba khona ukubuya kwesibili enyameni. Ngakho akekho noyedwa umhlaziyi weBhayibheli noma umphrofethi oke waphrofetha ukuthi uNkulunkulu uyophinde abe senyameni ezinsukwini zokugcina, okungukuthi, uyobuyela enyameni ukuze enze ingxenye yesibili yomsebenzi Wakhe esenyameni. Ngakho-ke, akekho owabona ukuthi uNkulunkulu wayezifihle enyameni kusukela kudala. Akumangazi, ngoba kwaba ngemva kokuvuswa kukaJesu nokwenyukela kwakhe ezulwini kuphela lapho amukela khona lokhu kuthunywa, ngakho akukho siphrofetho esicacile ngokuba sesimweni somuntu kwesibili kukaNkulunkulu, futhi akucabangeki engqondweni yomuntu. Kuzo zonke izincwadi eziningi zeziphrofetho eBhayibhelini, akukho mazwi asho lokhu ngokucacile. Kodwa lapho uJesu efika ezosebenza, sase sibe khona isiphrofetho esicacile esasithi intombi iyokhulelwa, izale indodana, okwakusho ukuthi wakhulelwa ngoMoya oNgcwele. Nakuba kunjalo, uNkulunkulu uthi kwakuyingozi empilweni. Khona-ke kusho okuthini lokho namuhla? Akumangalisi ukuthi uNkulunkulu uthi ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kulesi sikhathi kuwukuzibeka engozini izikhathi eziyizinkulungwane ukwedlula lezo ezazikhona ngeNkathi Yomusa. Ezindaweni eziningi, uNkulunkulu waprofetha ngokuzuza iqembu labanqobi ezweni laseSinimi. Abanqobi bazuzwa eMpumalanga yezwe, ngakho indawo lapho uNkulunkulu ebeka khona unyawo Lwakhe ekubeni kwakhe sesimweni somuntu okwesibili akungatshazwa ukuthi kusezweni laseSinimi, indawo kanye lapho udrako omkhulu abomvu azithukuse khona. UNkulunkulu uyozuza inzalo kadrako omkhulu obomvu ukuze linqotshwe lonke futhi lihlaziswe. UNkulunkulu ufuna ukuvusa lesi sizwe esihlupheka kakhulu, asivuse unomphela, siphume emfologweni, simenqabe ngokugcwele udrako omkhulu obomvu. UNkulunkulu ufuna ukusisangulukisa emaphusheni aso, abembulele isiqu sikadrako omkhulu obomvu, banikele ngazo zonke izinhliziyo zabo kuNkulunkulu, bakhululeke ekucindezelweni amandla obumnyama, bame eMpumalanga yezwe, babe ubufakazi bokunqoba kukaNkulunkulu. UNkulunkulu uyoyithola ngaleso sikhathi inkazimulo. Ngenxa yalesi sizathu, uNkulunkulu ulethe umsebenzi ozoqeda ngo-Israyeli ezweni lapho udrako omkhulu obomvu azithukuse khona, cishe emva kokuhamba iminyaka eyizinkulungwane ezimbili, uphinde waba senyameni ukuze aqhubeke nomsebenzi weNkathi Yomusa. Ngokweso lomuntu, uNkulunkulu uqala umsebenzi omusha enyameni. Kodwa kuNkulunkulu, uqhubeka nomsebenzi weNkathi Yomusa, bahlukaniswa izinkulungwane ezimbalwa kuphela zeminyaka, nendawo abasebenza kuyo kanye nomsebenzi abawenzayo. Nakuba isithombe senyama sikaNkulunkulu sesingenisile emsebenzini namuhla siwumuntu ohlukile kuJesu, banesiqu nempande efanayo, futhi bavela endaweni efanayo. Mhlawumbe ngaphandle bahluke ngezindlela eziningi, kodwa ingaphakathi lomsebenzi Wabo lihlukile. Izinkathi, azifani njengobusuku nemini. Kungenzeka kanjani ukuthi ungashintshi umsebenzi kaNkulunkulu? Noma kungenzeka kanjani ukuthi umsebenzi ungaphazamisi omunye?

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Inyama inamandla amancane futhi kufanele iqaphelisise” kubonisa ukuthi ubunzima benyama buningi kakhulu, futhi umsebenzi owenziwe ulinganiselwe kakhulu.

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 194)

Sekuthathe umuntu kwaze kwaba namuhla ukuba aqaphele ukuthi lokho umuntu akuntulayo akukhona nje kuphela ukuphila ngokomoya kanye nokuzwa ukwazi uNkulunkulu, kodwa, okubaluleke kakhulu, yizinguquko esimweni sakhe. Ngenxa yokungabi nalwazi okuphelele ngomlando nesiko lasendulo lesintu, akanalo noluncane ulwazi ngomsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu wethemba ukuthi ekujuleni kwenhliziyo, umuntu anganamathela kuNkulunkulu, phakathi ekujuleni kwenhliziyo yakhe, kodwa ngoba inyama yomuntu ikhohlakele ngokwedlulele, indikindiki futhi ibuthuntu, lokhu kwenze ukuthi angazi lutho ngoNkulunkulu. Namuhla uNkulunkulu ufika phakathi kwabantu ngenhloso yokuguqula imicabango nomoya wabo kanye nomfanekiso kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo ababe nawo izigidi zeminyaka. Ngaleli thuba, uyomphelelisa umuntu. Okusho ukuthi, ngolwazi lomuntu uyoyiguqula indlela amazi ngayo kanye nesimo somqondo anaso Ngaye, ukuze ukwazi kwakhe uNkulunkulu kuqale kabusha, nenhliziyo yakhe ivuselelwe futhi iguqulwe. Ukubhekana nomuntu nokumqondisa kuyizindlela, kanti ukunqoba nokwenza musha kuyimigomo. Ukuchitha imicabango yomuntu eyinkoloze umuntu alokhu enakho ngoNkulunkulu ongacacile bekulokhu kuyinhloso kaNkulunkulu, futhi muva nje kube yinto ephuthumayo Kuye. Ngifisa ukuthi bonke abantu babuke ngeso elibanzi lapho becabanga ngalesi simo. Baguqule indlela wonke umuntu ezwa ngayo impilo ukuze le nhloso ephuthumayo kaNkulunkulu yenziwe ngokushesha, nesigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni sibe nesiphetho esinezithelo. Khombisa ukwethembeka kwakho njengoba kufanele, ududuze inhliziyo kaNkulunkulu okokugcina. Ngethemba ukuthi akekho noyedwa wabafowethu nodadewethu ozobalekela lesi sibopho noma amane enzele ukugcina icala. Kulokhu uNkulunkulu uza esenyameni ngokumenywa, nangenxa yesimo somuntu. Okusho ukuthi, uzele ukuzonika umuntu lokho okudingekayo. Uzokwenza wonke umuntu, noma ekuliphi izinga noma ezalwe kanjani, ukuba abone izwi likaNkulunkulu, futhi ezwini Lakhe, abone ukuba khona nokubonakaliswa kukaNkulunkulu futhi amukele ukupheleliswa kwakhe nguNkulunkulu. Izwi Lakhe liyoguqula imicabango nemibono yomuntu ukuze ubuso bangempela bukaNkulunkulu bungene buqine ekujuleni kwenhliziyo yomuntu. Lesi yiso kuphela isifiso sikaNkulunkulu emhlabeni. Ngisho imvelo yomuntu ingaba nkulu kangakanani, noma ingqikithi yomuntu ingaba phansi kangakanani, noma umuntu wenze kanjani esikhathini esidlule, uNkulunkulu akanandaba nalokhu. Wethemba kuphela ukuthi umuntu uzowuvuselela ngokuphelele umfanekiso kaNkulunkulu anawo enhliziyweni yakhe futhi azi ingqikithi yesintu, ngalokho aguqule indlela umuntu abheka ngayo izinto. Wethemba ukuthi umuntu uyakwazi ukumlangazelela ngokujulile uNkulunkulu futhi anamathele kuze kube phakade Kuye. Yilokhu kuphela uNkulunkulu akufuna kumuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 195)

Sengikhulume kaningi ngomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina ukuze ngishintshe umoya womuntu, ngishintshe umphefumulo wabo bonke abantu, njengezinhliziyo zabo, ezihlupheke kakhulu, zaba zintsha, zasindisa imiphefumulo yazo, ezilinyazwe kakhulu ububi; umgomo wakho ukuvusa umoya wabantu, kuncibilike izinhliziyo zabo ezineqhwa, ukuze nabo baphinde babe basha. Lena intando enkulu kakhulu kaNkulunkulu. Siyeke ukukhuluma ngokuchuma nokubaluleka kokuphila komuntu; lapho izinhliziyo zabantu zivusiwe, lapho bevuswe emaphusheni abo futhi bewazi kahle umonakalo kadrako omkhulu obomvu, umsebenzi wenkonzo kaNkulunkulu uyobe usuqediwe. Usuku umsebenzi kaNkulunkulu oyoqedwa ngalo wusuku futhi lapho umuntu eyoqala indlela efanele yokukholwa kuNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, iyobe isiphelile inkonzo kaNkulunkulu: Umsebenzi kaNkulunkulu enyameni uyobe usuphele wonke, futhi umuntu uyoqala ngokusemthethweni ukwenza umsebenzi ayewufuna—uyokwenza inkonzo yakhe. Lezi yizinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho, kufanele niphumputhe umnyango wenu lapho niqala ukwazi lezi zinto. Konke lokhu kufanele nikuqonde. Ukungena komuntu kuyothuthuka kuphela lapho izinguquko sezingene zajula enhliziyweni yakhe, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uwukunqotshwa okuphelele komuntu—umuntu ohlengiwe, osaphila ngaphansi kwamandla obumnyama, ongakaze avuke—kule ndawo okuhlangana kuyo amademoni; kungenxa yokuthi umuntu akhululwe ezinkulungwaneni zeminyaka yesono, futhi athandwe uNkulunkulu, amshaye amqede udrako omkhulu obomvu, amise umbuso kaNkulunkulu, futhi alethe ukuphumula ngokushesha enhliziyweni kaNkulunkulu, kuwukuvuthela ngolaka, ngokungazigodli, inzondo evuvukalisa isilwane senu, ukubulala lawo magciwane akhuntile, unenza niphile ukuphila okungahlukile kokwenkunzi noma kokwehhashi, ningabe nisaba isigqila, kungabe kusaba bikho okunithuthumelisayo, noma ninikezwe udrako omkhulu obomvu umyalo; ngeke nisaba kulesi sizwe esehlulekayo, ngeke nesaba ngokadrako omkhulu obomvu, ngeke nisaba isigqila sakhe. Isidleke samademoni nakanjani siyohlakazwa uNkulunkulu, niyobe nime eceleni kukaNkulunkulu—ningabakaNkulunkulu, futhi awuyena owalo mbuso wezigqila. UNkulunkulu ubelokhu ewenyanya ngazo zonke izindlela lo mphakathi ongcolile. Uthukuthele kakhulu, ulangazelela ukunyathela omubi, inyoka endala, ukuze ingaphinde ivuke, futhi ingaphinde ihlukumeze umuntu; ngeke azixolele izenzo zayo ezedlule, ngeke akabukezelele ukukhohlakala komuntu, uyolungisa izono zawo wonke umuntu phakathi nenkathi edlule. UNkulunkulu ngeke nakancane adedele lo mholi wabo bonke ububi aphunyuke,[1] nakanjani uyoyishaya ayibhuqe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (8)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Ingqongqo yabo bonke ububi” kubhekise kudeveli omdala. La mazwi abonisa ukwenyanya okwedlulele.

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 196)

Abaningi abalali ebusuku ngenxa yokuthi uNkulunkulu ubekezele ngenxa yomsebenzi wesintu. Kusukela phezulu kuye phansi, wehlele esihogweni sabaphilayo okuphila kuso umuntu, sekudlule izinsuku enomuntu, akazange akhononde ngesidala kubantu, akazange asole umuntu ngokungalaleli kwakhe, kodwa ubekezelela ihlazo eliphindwe kabili njengoba efeza umsebenzi Wakhe. UNkulunkulu angaba kanjani ngowasesihogweni? Angakuchitha kanjani ukuphila Kwakhe esihogweni? Kodwa ngenxa yaso sonke isintu, ukuze bonke abantu baphumule maduze, ubekezelele ukuhlazwa nokungabi nabulungiswa lapho eza emhlabeni, wazizela “esihogweni” kanye “naseHayidesi,” esibayeni sengwe, ukuze asindise umuntu. Umuntu angamelana kanjani noNkulunkulu? Unasiphi isizathu sokuphinde akhononde ngoNkulunkulu? Angasithathaphi isibindi sokuphinde abuke uNkulunkulu? UNkulunkulu wezulu uze ezweni elingcolile lobubi, akakaze abuveze ubuhlungu Bakhe, noma akhononde ngomuntu, kodwa kunalokho uyakwamukela ukonakaliswa[1] nokucindezelwa umuntu. Akazange ahluthuke ngezinto ezingenangqondo ezifunwa umuntu, akazange afune okwedlulele kumuntu; umane enze wonke umsebenzi awufuna kumuntu ngaphandle kokukhononda: ukufundisa, ukuletha ukukhanya, ukusola, ukucwenga amazwi, ukukhumbuza, ukuzikhandla, ukududuza, ukwahlulela kanye nokwambula. Yini ezigabeni Zakhe engekho mayelana nokuphila komuntu? Nakuba esewalahlile amathemba nomphumela womuntu, yiziphi kulezi zigaba ezifezwa uNkulunkulu ezingekho mayelana nomphumela womuntu? Yisiphi kuzo esingekho mayelana nokusinda komuntu? Yisiphi kuzo ebesingaqondene nokukhulula umuntu kulokhu kuhlupheka nasekucindezelweni amandla obumnyama amnyama njengobusuku? Yisiphi kuzo esingekho ngenxa yomuntu? Ubani ongaqonda inhliziyo kaNkulunkulu, efana nekamama onothando? Ubani ongaqonda inhliziyo kaNkulunkulu enogqozi? Inhliziyo kaNkulunkulu enogqozi nezinto azilindele kukhokhwe ngezinhliziyo ezibandayo, ezinonya, ngamazwi anokhahlo aphindaphindwayo, izinhlamba zabantu, ngezinkulumo ezihlabayo nezibhuqayo, neziyize, zikhokhwe ngobuphukuphuku bomuntu, ngokungabaza nokungavumi kwakhe, ngokungaqondi kwakhe, ngokulila, ukunganaki, esebenzisa inkohliso, ukuhlasela nonya. Amazwi afudumele aye ahlangabezana namagalelo kanye neminwe eyizinkulungwane elwisana nawo. UNkulunkulu angabekezela, akhothamise ikhanda, akhonze abantu njengenkabi ezimisele.[2] Usebheke amalanga nezinyanga okuningi kakhulu, usebheke izinkanyezi kaningi kakhulu, usephume kangaki ezintatha abuye sekuhwalele, aphenduphenduke, abekezelele ubuhlungu obedlula obazwiwa uYise lapho ehamba ngezinkulungwane eziningi zezikhathi, abekezelele ukuhlaselwa umuntu, nokuchwensa komuntu. Ukuthobeka nokuzifihla kukaNkulunkulu kuye kwabuyiswa ngokucwasa komuntu, ngemibono engenabulungiswa[3] nempatho yomuntu, ukuzifihla Kwakhe nokubekezela kukhokhwe ngobugovu bomuntu; umuntu uzama ukuqothula uNkulunkulu, ngaphandle kokushaywa unembeza, uzama ukuthuthumelisa uNkulunkulu emhlabathini. Umbono womuntu ngempatho anayo ngoNkulunkulu “unobuqili obungavamile,” futhi uNkulunkulu, oxhashazwa yisedeleli esiwumuntu, uhlukunyezwa amashumi ezinkulungwane zabantu ngesikhathi umuntu esaphakeme, njengokungathi uyoba inkosi yesigodlo, njengokungathi uwafuna wonke amandla,[4] abambe inkantolo emva kwesihenqo, ukuze enze uNkulunkulu aphathe ngale kwekhethini, ongavunyelwe ukuphindisela noma abangele inkinga; uNkulunkulu kumele adlale indima yoMbusi Wokugcina, kumele abe unodoli,[5] anikele ngayo yonke inkululeko. Akunakulandiswa ngezenzo zomuntu, ngakho ufaneleka kanjani ukufuna lokhu nalokhuya kuNkulunkulu? Ufaneleka kanjani ukusikisela kuNkulunkulu? Ufanele kanjani ukutshela uNkulunkulu ukuthi abe nobubele ngobuthaka bakhe? Ufanele kanjani ukuthola umusa kaNkulunkulu? Ufaneleka kanjani ukuthola isikhathi sikaNkulunkulu ngokuphindiwe? Ufaneleka kanjani ukulokhu ethethelelwa uNkulunkulu? Ukuphi unembeza wakhe? Wayiphula kudala inhliziyo kaNkulunkulu, kade ayishiya iyizicucu inhliziyo kaNkulunkulu. UNkulunkulu weza kubantu enamehlo agqamile, ngethemba lokuthi umuntu uyoba nobubele Kuye, ngisho noma kuyimfudumalo engatheni. Kodwa inhliziyo kaNkulunkulu ayinakududuzwa ngumuntu, okuwukuphela kwento ayitholile ukuhlaselwa kanye nokuhlushwa okukhulayo;[6] inhliziyo yomuntu inomhobholo, ufuna izinto ezinkulu, akaneli, uhlale eshinga futhi unobuwula, akalokothi avumele uNkulunkulu ukuba akhululeke noma akhulume, wenza uNkulunkulu azihlaze, futhi uvumela umuntu amkhohlise ngendlela ayithandayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (9)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Ukonakaliswa” kusetshenziselwa ukudalula ukungalaleli kwesintu.

2. “Ahlangabezana namagalelo kanye neminwe eyizinkulungwane elwisana nawo, akhothamise ikhanda akhonze abantu njengenkabi ezimisele” ekuqaleni umusho owodwa, kodwa lapha wehlukaniswe kabili ukuze wenze izinto zicace kakhudlwana. Umusho wokuqala ubhekise esezweni somuntu, ngesikhathi owesibili ubonisa ukuhlupheka abhekana nakho uNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu uthobekile futhi uzifihlile.

3. “Okungenabulungiswa” kubhekise ekuziphatheni kokungalaleli kwabantu.

4. “Ufuna wonke amandla” kubhekise ekuziphatheni kokungalaleli kwabantu. Bayaziphakamisa, bacindezele abanye, babenze balandele bona futhi bahluphekele bona. Bangamandla aphikisana noNkulunkulu.

5. “Unodoli” usetshenziselwa ukuhleka usulu labo abangamazi uNkulunkulu.

6. “Okukhulayo” kusetshenziselwa ukugqamisa ukuziphatha okwehlile kwabantu.

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 197)

Ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kuthumele amagagasi okwethuka kuzo zonke izinkolo namaqembu, “kuhlakaze” uhlelo lokuqala lomphakathi wenkolo, futhi kwanyakazisa izinhliziyo zabo bonke abalangazelela ukubonakala kukaNkulunkulu. Ubani ongenalo uthando? Ubani ongalangazeleli ukubona uNkulunkulu? UNkulunkulu ubelokhu ephakathi komuntu iminyaka eminingi, kodwa umuntu ubelokhu engaboni. Namuhla, uNkulunkulu Uqobo uye wabonakala, waveza isiqu Sakhe ezindaweni eziningi—kungahlala kanjani lokhu kungayijabulisi inhliziyo yomuntu? UNkulunkulu wake wajabula futhi waba lusizi ngomuntu, namuhla uphinde wabuyisana nesintu, sekudlule izikhathi eziningi enomuntu. Ngemva kokuphuma eJudiya, abantu abatholanga ngisho nomkhondo Wakhe. Balangazelela ukuphinde bahlangane noNkulunkulu, abazi ukuthi namuhla sebephinde bahlangana Naye, babuyisana Naye. Kungahlala kanjani lokhu kungayivusi imicabango yayizolo? Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili eyedlule namuhla, uSimoni iNdodana kaJona, ozalwa amaJuda, wabona uJesu uMsindisi, wadla etafuleni elilodwa Naye, futhi ngemva kokumlandela iminyaka eminingi wamthanda kakhulu: Wamthanda ngokusuka enhliziyweni yakhe, wayithanda kakhulu iNkosi uJesu. Abantu abangamaJuda babengazi lutho ngalo mfana onezinwele ezimhlophe, ozalelwe ezindaweni ezibandayo, wayengumfanekiso wokuqala kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Babecabanga ukuthi ufana nabo, akekho owayecabanga okuhlukile Ngaye—abantu babengambona kanjani lo Jesu ojwayelekile? Abantu abangamaJuda babecabanga ukuthi ungumJuda, becabanga ukuthi uyindodana yomJuda. Akekho owayembheka njengoNkulunkulu onothando, futhi abantu bavaleka amehlo Ngaye, becela umusa ngobuningi, ingcebo, ukuthula nenjabulo. Babazi lokho kuphela, njengosozigidi, wayenakho konke umuntu angakufisa. Kodwa abantu abamphathanga njengothandekayo; abantu ngaleso sikhathi babengamthandi, babegcina ngokububula Ngaye, befuna izinto eziningi Kuye, akakaze ayeke ukunika umuntu umusa, nakuba umuntu ayengamazi. Akwenza nje kwaba ukunika umuntu imfudumalo, uthando, umusa, kanye nokunye, wanika umuntu indlela entsha yokwenza, wakhulula umuntu emigoqweni yomthetho. Umuntu akakaze amthande, wayegcina ngokumzonda, nokubona ubungcweti Bakhe. Isintu esingaboni, singayazi kanjani indlela uJesu uMsindisi ahlazeka kakhulu ngayo lapho efika phakathi kwesintu? Akekho owacabanga ngobunzima Bakhe, akekho owazi ngothando Lwakhe ngoNkulunkulu uBaba, akekho owayazi ngokuba yedwa Kwakhe; nakuba uMariya ayengunina owamzala, wayengayazi kanjani imicabango esenhliziyweni yeNkosi enomusa uJesu? Ubani owayazi ngokucindezeleka okungachazeki okwabekezelelwa iNdodana yomuntu? Ngemva kokuyinxusela, kubantu bangaleso sikhathi yaba yinto yokugcina abayicabangayo, bayilahlela ngaphandle. Ngakho yazulazula ezitaladini, usuku nosuku, unyaka nonyaka, kwadlula iminyaka yaze yaba neminyaka engamashumi amathathu nantathu enzima, eminyaka eyaba mide futhi yaba mifishane. Lapho abantu bemdinga, babemmema emakhaya abo bemomotheka, bezama ukufuna izinto Kuye—futhi ngemva kokuthi enikele kubo, babemkhiphela ngaphandle kwesicabha ngokushesha. Abantu babedla okwakuvela emlonyeni Wakhe, babephuza igazi Lakhe, babejabulela izibusiso abanika zona, kodwa futhi bamelana Naye, ngoba babengazi ukuthi ukuphila babekunikwe ubani kwabo. Ekugcineni, bambethela esiphambanweni, kodwa noma kunjalo akenzanga msindo. Ngisho nanamuhla, usathule. Abantu badla inyama Yakhe, baphuza igazi Lakhe, badla ukudla abenzela khona, futhi bahamba indlela abavulele yona, nokho basafuna ukumphika; empeleni babheka uNkulunkulu obadalile njengesitha sabo, esikhundleni salakho baphatha labo abayizigqila kanye nabo njengoYise osezulwini. Kulokhu, ingabe abamelani Naye ngamabomu? Kwenzeka kanjani ukuba uJesu afele esiphambanweni? Ingabe uyazi? Ingabe akakhashelwanga uJuda, owayesondelene Naye, wamphuzisa, wajabula Naye? Ingabe isizathu sokukhaphela kukaJuda sasingekhona ukuthi uJesu wayengekho ngaphezu komfundisi ojwayelekile? Uma abantu babona ngempela ukuthi uJesu wayengajwayelekile, owayehle ezulwini, babengambethela kanjani esiphambanweni ephila amahora angamashumi amabili nane, kwaze kwaba yilapho engasakwazi ukuphefumula? Ubani ongazi uNkulunkulu? Abantu bajabulela uNkulunkulu benomhobholo, kodwa abakaze bamazi. Banikwe isandla bathatha ingalo yonke, benza “uJesu” alalele imithetho yabo. Ubani owake wabonisa iNdodana yomuntu umusa, engenayo indawo yokufihla ikhanda Layo? Ubani owake wacabanga ukuhlangana Nayo ukuze aqedele umsebenzi kaNkulunkulu uYise? Ubani owake wacabanga Ngayo? Ubani owake wacabanga ngobunzima Bayo? Engenalo noluncane uthando, umuntu uyisa ngapha nangapha; umuntu akazi ukuthi ukukhanya nokuphila kwakhe kuvelaphi, akwenzayo nje ukusungula icebo ngesinyelela lokuphinde abethele “uJesu” esiphambanweni njengaseminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, ozwe ubuhlungu phakathi kwabantu. Ingabe ngempela “uJesu” ukhuthaza inzondo enjalo? Ingabe konke akwenza kade kwakhohlwa? Inzondo yaseminyakeni eyizinkulungwane edlule iyogcina iqubukile. Niwuhlobo lwamaJuda! Wake wanizonda nini uJesu, njengoba nimzonda kangaka? Unenzele okuningi, wakhuluma okuningi—akukho yini okunizuzisayo? Unikele ngokuphila Kwakhe kini ngaphandle kokufuna ukubuyiselwa ngokuthile, uninike uqobo Lwakhe—ingabe nisafuna ukumbona ephila? Akagodlanga lutho ezintweni aninike zona, akajabulelanga lutho lwezwe, imfudumalo phakathi kwabantu, uthando phakathi kwabantu, nazo zonke izibusiso phakathi kwabantu. Abantu baluhlaza Kuye, akakaze ajabulele imicebo yezwe, unikele ngoqobo Lwakhe ngobuqotho, waba nenhliziyo enogqozi ngomuntu, konke okwakhe ukunike isintu njengefa—futhi ubani omnike imfudumalo? Ubani oke wamduduza? Umuntu umcindezele kakhulu, umnike wonke amashwa akhe, umnike konke okubi okwehlela umuntu, usola Yena ngakho konke ukungabi nabulungiswa, futhi Yena ukwamukele. Ingabe ukhona Ake wabhikisha kuye? Ingabe kukhona ngisho okuncane Ake wakucela kothile? Ubani owake wambonisa uzwela? Njengabantu abajwayelekile, ubani kini ongakaze akhule ngothando? Ubani ungangqabavulanga ebusheni bakhe? Ubani ongayizwa imfudumalo yezihlobo zakhe? Ubani ongenalo uthando lwezihlobo nabangani? Ubani ongahlonishwa abanye? Ubani ongenawo umndeni ofudumele? Ubani ongenaye umuntu athululela kuye isifuba? Yena ingabe kukhona kulokhu Ake wakujabulela? Ubani owake wamnika imfudumalo? Ubani owake wamduduza? Ubani owake wambonisa isimilo esincane? Ubani owake wambekezelela? Ubani owake waba Naye ezikhathini ezinzima? Ubani owake wadlula Naye ezikhathini ezinzima ekuphileni? Umuntu akakaze ehlise izinto azifuna Kuye; uhlale efuna izinto ngaphandle kokulibala, njengokungathi, njengoba esesezweni labantu, useyinkabi yabo noma ihhashi, isiboshwa somuntu, futhi kumele anike umuntu konke okwakhe; uma kungenjalo umuntu akasobe amxolela, akusobe kwaba lula Kuye, ngeke aphinde ambize ngoNkulunkulu, futhi ngeke aphinde amhloniphe. Umuntu uqinile endleleni abheka ngayo uNkulunkulu, njengokungathi ufuna ukuhlukumeza uNkulunkulu ekufeni, kungemva kwalokhu kuphela lapho eyolahlekelwa khona izinto azifuna kuNkulunkulu; ngale kwalokho umuntu ngeke ehlise izinga lakhe ngenxa kaNkulunkulu. Umuntu ofana nalona angahlala kanjani angamzondi uNkulunkulu? Ingabe akuyona inhlekelele yanamuhla? Umuntu akasenawo nhlobo unembeza. Ulokhu ethi uzobuyisa uthando lukaNkulunkulu, kodwa uphamba uNkulunkulu amhlukumeze ekufeni. Ingabe lena akuyona “imfihlo” okholweni lwakhe kuNkulunkulu, ayinikwa okhokho bakhe? “AmaJuda” awasabonwa nangokhalo, futhi namuhla asenza umsebenzi ofanayo, asenza umsebenzi ofanayo wokumelana noNkulunkulu, kodwa bacabanga ukuthi baphakamisa uNkulunkulu. Amehlo omuntu angambona kanjani uNkulunkulu? Umuntu ophila enyameni, uNkulunkulu osamuntu ovela eMoyeni angamphatha kanjani njengoNkulunkulu? Ubani phakathi kwabantu ongamazi? Likuphi iqiniso phakathi kwabantu? Kukuphi ukulunga kweqiniso? Ubani ongaqonda isimo sikaNkulunkulu? Ubani ongancintisana noNkulunkulu osezulwini? Yingakho lapho eza phakathi komuntu, engekho oke wamazi uNkulunkulu, futhi bemenqabile. Umuntu angakubekezelela kanjani ukuba khona kukaNkulunkulu? Angakuvumela kanjani ukukhanya kumuse ebumnyameni bezwe? Ingabe konke lokhu akukhona ukuzinikela ngenhlonipho komuntu? Ingabe lona akuwona umnyango oqondile womuntu? Ingabe umsebenzi kaNkulunkulu awuzungezi ukungenza komuntu? Ngifisa ukuthi nihlanganise umsebenzi kaNkulunkulu nokungena komuntu, futhi niqalise ubuhlobo obuhle obuphakathi kukaNkulunkulu nomuntu, nenze umsebenzi okufanele wenziwe umuntu ngawo wonke amandla enu. Ngale ndlela, umsebenzi kaNkulunkulu uyogcina uphelile, uphele ngokukhazinyuliswa Kwakhe!

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (10)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 198)

Namuhla, ngisebenza kubantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo eShayina ukuze ngembule zonke izimo zabo zokuhlubuka futhi ngembule bonke ububi babo, futhi lokhu kuhlinzeka ngesimo sokuthi ngisho konke engidinga ukukusho. Ngemva kwalokho ngizokwenza isigaba esilandelayo somsebenzi wokunqoba indawo yonke. Ngizosebenzisa ukunahlulela Kwami ukuze ngahlulele ukungalungi kwawo wonke umuntu endaweni yonke ngenxa yokuthi nina bantu nimelela ukuhlubuka kwesintu. Labo abangakwazi ukukhuphula amasokisi bayophenduka ize, kuyilapho labo abawakhuphulayo beyosetshenziswa. Kungani ngithi labo abangawakhuphuli bayophenduka ize? Ngenxa yokuthi amazwi nomsebenzi Wami wamanje kuyiqiniso enilifunayo nokuthi seniphenduke abameleli bezihlubuki eziphakathi kwaso sonke isintu. Kamuva la mazwi aninqobayo ngiyowahambisa kwamanye amazwe ngiwasebenzisele ukunqoba abantu khona, kodwa nina niyobe ningawazuzanga. Ingabe lokho ngeke kukwenze ungabi lutho? Izimo ezonakele zaso sonke isintu, ukuhlubuka komuntu, izithombe ezimbi nobuso babantu, konke kulotshiwe namuhla emazwini asetshenziselwe ukuninqoba. Ngiyobe sengisebenzisa la mazwi ukuze nginqobe abantu bazo zonke izizwe nayo yonke imibuso ngenxa yesibonelo senu. Kodwa angihlosile ukunishiya ngenhloso; uma nehluleka ukufuna izinto ezinhle futhi ningalufuni usizo, ngeke yini niphenduke ize? Ngake ngathi ukuhlakanipha Kwami kusetshenziswa ngokusekelwe kumaqhinga kaSathane. Kungani ngasho lokho? Ingabe lokho akulona iqiniso ngemva kwalokhu engikushoyo nengikwenzayo manje? Uma ungeke washeshisa, uma ungakapheleliswa kodwa kunalokho ujezisiwa, ubungeke yini ube yinto yokuqhathanisa? Mhlawumbe uhlupheke kakhulu esikhathini sakho, kodwa namanje usalokhu ungaqondi lutho; awazi lutho ngokuphila. Nakuba uye wasolwa futhi wahlulelwa, awukaguquki nhlobo futhi ekujuleni kwakho awukazuzi ukuphila. Lapho kufika isikhathi sokuvivinya umsebenzi wakho, uzobona isilingo sinonya njengomlilo futhi size sibe usizi olukhulu. Lo mlilo uzophendula bonke ubuwena bube umlotha. Njengomuntu ongenakho ukuphila, umuntu ongenalo nelincane igolide ngaphakathi, umuntu osalokhu enamathele esimweni sokonakala sakudala, futhi njengomuntu ongeke ngisho enze umsebenzi omuhle wokuba njengento yokuqhathanisa, kungenzeka kanjani ukuthi ungashabalaliswa? Umuntu onenani eliphansi kunopeni futhi ongenakho ukuphila, angabaluleka yini emsebenzini wokunqoba? Lapho leso sikhathi sifika, izinsuku zenu ziyoba nzima ukwedlula ezikaNowa nezaseSodoma! Imithandazo yenu ngeke inisize ngaleso sikhathi. Lapho umsebenzi wensindiso usuphelile, kungenzeka kanjani ukuba niphinde niqale phansi niphenduke? Lapho wonke umsebenzi wensindiso sewenziwe, ngeke kusaba khona umsebenzi wensindiso. Into eyoba khona ukuqala komsebenzi wokujezisa omubi. Uyamelana, uyahlubuka futhi wenza izinto owaziyo ukuthi zimbi. Ingabe awufanelwa yini isijeziso esinzima? Ngikutshela lokhu namuhla. Uma ukhetha ukungalaleli, lapho leyo nhlekelele ikwehlela kamuva, akuyobe sekwephuze kakhulu yini uma uqala ngaleso sikhathi ukuzisola bese uqala ukukholwa? Ngikunika ithuba lokuba uphenduke namuhla, kodwa awufuni. Ufuna ukulinda isikhathi eside kangakanani? Kuze kube usuku lolusolwa? Angizikhumbuli iziphambeko zakho ezedlule namuhla; ngikuthethelela ngokuphindaphindiwe, angibheki uhlangothi olubi lwakho ukuze ngibheke kuphela uhlangothi oluhle, ngoba onke amazwi Ami amanje kanye nomsebenzi wenzelwe ukusindisa wena futhi anginayo inhloso embi ngawe. Kodwa awufuni ukungena; awukwazi ukwehlukanisa okuhle kokubi futhi awukwazi ukuthi ungawazisa kanjani umusa. Ingabe lolu hlobo lomuntu alumane yini lulindele leso sijeziso kanye naleyo mbuyiselo elungile?

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 199)

Ngenkathi uMose eshaya idwala, futhi amanzi anikezwe nguJehova ephuma, kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uDavide edlala ugubhu lokudumisa Mina, Jehova—ngenhliziyo yakhe egcwele injabulo kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uJobe elahlekelwa yimfuyo yakhe eyayigcwele ezintabeni, nomcebo omkhulu ngokungenakuchazwa, nomzimba wakhe wagcwala amathumba abuhlungu, bekungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi ezwa izwi Lami, Jehova, wabona inkazimulo Yami, Jehova, bekungenxa yokholo lwakhe. Ukuthi uPetru wayengalandela uJesu Kristu, kwakungokholo lwakhe. Ukuthi wayengabethelwa ngenxa yami esiphambanweni anikeze ubufakazi obukhazimulayo, nalapho kwakungenxa yokholo lwakhe. Ngenkathi uJohane ebona umfanekiso okhazimulayo weNdodana yomuntu, kwakungokholo lwakhe. Ngenkathi ebona umbono wezinsuku zokugcina, kwakuseyilona belu ukholo lwakhe. Isizathu sokuba lokhu okubizwa ngezihlwele zabantu bezizwe bethola isambulo Sami, bese bazi ukuthi ngibuye ngenyama ukuzokwenza umsebenzi Wami phakathi kwabantu, nalokho kungenxa yokholo lwabo. Ingabe Bonke labo abashaywe yngamazwi Ami anzima kodwa futhi baduduzwa yiwo, nabasindisiwe—abenziwe njalo ngenxa yokholo lwabo? Abantu bathole izinto eziningi ngokholo. Abakutholayo akusona isibusiso ngaso sonke isikhathi—ukuze uzwe uhlobo lwenjabulo nentokozo ayizwa uDavide, noma ukuze uthole amanzi anikezwa uJehova njengoba kwenza uMose. Ngokwesibonelo, uJobe wabusiswa nguJehova ngenxa yokholo lwakhe, kodwa futhi wehlelwa yinhlekelele. Kungakhathaleki ukuthi uthola isibusiso noma ubhekana nokuhlupheka, kokubili kuyizehlakalo ezibusisekile. Ngaphandle kokholo, ngeke ukwazi ukuthola lo msebenzi wokunqoba, futhi ngeke ubone izenzo zikaJehova zibonakaliswa ngaphambi kwamehlo akho namuhla. Ngeke ukwazi ukubona, futhi ngeke ukwazi ukwamukela. Lezi zinhlupheko, lezi zinhlekelele, kanye nakho konke ukwahlulelwa—uma lokhu kungakwehlelanga, ingabe ubungakwazi ukubona izenzo zikaJehova namuhla? Namuhla ukholo olukwenza unqotshwe, futhi ukunqotshwa okukwenza ukholelwe kuzo zonke izenzo zikaJehova. Ukholo kuphela olunenza nithole lolu hlobo lokusolwa nesahlulelo. Ngenxa yalokhu kusolwa nezahlulelo, ninqotshiwe futhi napheleliswa. Ngaphandle kwalolu hlobo lokusolwa nesahlulelo enisithola namuhla, ukholo lwenu beluba yize, ngenxa yokuthi animazi uNkulunkulu, akukhathaliseki ukuthi ukholelwa kangakanani Kuye, ukholo lwakho luyoba amazwi angasho lutho futhi angenasisekelo. Kulapho uthola lolu hlobo lomsebenzi wokunqoba kuphela, okuyilona oluyokwenza uqiniseke ngokugcwele ukuthi ukholo lwakho olweqiniso futhi lunokwethenjelwa, nenhliziyo yakho iphendukela kuNkulunkulu. Ngisho noma wahlulelwa noma uqalekiswa kakhulu ngenxa yaleli gama elithi “ukholo,” unokholo lweqiniso, futhi wamukela iqiniso langempela, elingokoqobo, nento eyigugu kakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi kungale nkambo yokwahlulela kuphela lapho nibona khona isiphetho sendalo kaNkulunkulu; yilokhu kwahlulela okunenza nibone ukuthi uMdali kufanele athandwe; ingalo kaNkulunkulu uyibona emsebenzini wokunqoba onjalo; ukunqoba okunjalo okunenze nakuqonda ngokugcwele ukuphila komuntu; yilokhu kunqoba okunenze nathola umgudu ofanele wokuphila komuntu futhi nathola incazelo yangempela yegama elithi “umuntu”; yilo msebenzi wokunqoba kuphela onenza nibone isimo sokulunga sikaSomandla nobuso Bakhe obuhle nobukhazimulayo; nifunda kulo msebenzi wokunqoba ngomsuka womuntu futhi niqonde wonke “umlando wesikhathi eside” ngesintu; yilokhu kunqoba okunenze naqonda okhokho besintu nomsuka wokukhohlakala kwesintu; yilokhu kunqoba okunenza nijabule futhi niduduzeke niphinde nithole nokusolwa okungapheli, isiyalo, namazwi okusola avela kuMdali owadala isintu; kulo msebenzi wokunqoba nithola izibusiso, nezinhlekelele umuntu okufanele azithole…. Ingabe konke lokhu akwenzeki ngenxa yokholo oluncane lwenu? Ngemva kokuthola zonke lezi zinto, alukhulanga yini ukholo lwenu? Ingabe anitholanga inala? Awukezwa nje kuphela izwi likaNkulunkulu futhi wabona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, kodwa futhi uzibonele mathupha isinyathelo ngasinye somsebenzi. Mhlawumbe uzothi ukube awuzange ube nokholo, ubungeke usolwe ngale ndlela noma wahlulelwe ngale ndlela. Kodwa kufanele wazi ukuthi ngaphandle kokholo, ngeke ugcine nje ngokuthola lolu hlobo lokusolwa noma lolu hlobo lokunakekelwa uSomandla, kodwa uyohlale ulahlekelwa ithuba lokubona uMdali. Awusobe wawazi umsuka wesintu futhi ngeke ukuqonde ukubaluleka kokuphila komuntu. Ngisho noma umzimba wakho ungafa umphefumulo wakho uhambe, ngeke uziqonde zonke izenzo zikaNkulunkulu. Okubi nakakhulu ukuthi ngeke wazi ukuthi uMdali owenza lowo msebenzi omkhulu emhlabeni ngemva kokudala isintu. Njengelungu lalesi sintu esidala, ingabe uzimisele ukuwela ebumnyameni nokuthola isijeziso saphakade ube untula ukuqonda? Uma nizihlukanisa ekusolweni nasesahlulelweni sanamuhla, niyohlangabezana nani? Ingabe nicabanga ukuthi uma senehlukene nesahlulelo samanje, niyokwazi ukuphunyuka kule mpilo enzima? Ingabe akulona iqiniso ukuthi uma nishiya “le ndawo,” niyohlangabezana nobuhlungu noma nilinyazwe udeveli ngesihluku? Ingabe ungaba nemini kanye nobusuku okungabekezeleleki? Ingabe ucabanga ukuthi ngenxa nje yokuthi uphunyuke kulokhu kwahlulela namuhla, ungaligwema ikusasa elibuhlungu? Yini eyoma endleleni yakho? Ingabe ngempela kungaba iShangri-La enilethembile? Ingabe nicabanga ukuthi ningaphunyuka ekusolweni kwaphakade okuzayo ngokumane nje nibalekele okungokoqobo njengoba nenza? Ngemva kwanamuhla, ingabe niyophinde nikwazi ukuthola lolu hlobo lwethuba nalolu hlobo lwezibusiso? Ingabe niyokwazi ukukuthola lapho nehlelwa izinhlekelele? Ingabe niyokwazi ukukuthola lapho sonke isintu singena ekuphumuleni? Ukuphila kwenu okujabulisayo kwamanje nemindeni yenu emincane enokuzwana—ingabe kungathatha isikhundla sekusasa laphakade? Uma ninokholo lweqiniso, futhi uma nizuza okuhle ngenxa yokholo lwenu, khona-ke konke lokho kuyizinto—isidalwa esidaliwe—okufanele sibe nazo. Lolu hlobo lokunqoba luzuzisa kakhulu okholweni lwenu nasempilweni yenu.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 200)

Namhlanje, kufanele wazi ukuthi unganqotshwa kanjani, nokuthi abantu baziphatha kanjani ngemva kokuthi sebenqotshiwe. Ungasho yini ukuthi sewunqotshiwe, kodwa ungakwazi ukulalela kuze kube sekufeni? Kufanele ukwazi ukulandela kuze kube sekugcineni ngci, akukhathaleki noma akhona yini amathemba noma cha, futhi akufanele ulahlekelwe ukholo lwakho kuNkulunkulu noma ngabe isimo sinjani. Ekugcineni, kufanele ube nezingxenye ezimbili zobufakazi: ubufakazi bukaJobe—ukulalela kuze kube sekufeni—kanye nobufakazi bukaPetru—uthando olukhulu kakhulu ngoNkulunkulu. Ngenye ingxenye kufanele ube njengoJobe: Wayengenazimpahla eziphathekayo, futhi wayekhungethwe ubuhlungu enyameni, kepha akazange alifulathele igama likaJehova. UPetru wakwazi ukuthanda uNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni. Ngesikhathi eshona—ngesikhathi bembethela esiphambanweni—wayesamthanda uNkulunkulu: akazange acabange izithembiso zakhe noma amathemba aletha udumo noma imicabango ehlaphazekile, futhi wayefuna kuphela ukuthanda uNkulunkulu nokulalela wonke amalungiselelo kaNkulunkulu. Yilelo izinga okufanele ufike kulona ngaphambi kokuba uthathwe ngokuthi ubethulile ubufakazi, ngaphambi kokuba ube ngumuntu ophelelisiwe emva kokuba sewunqotshiwe. Namhlanje, uma abantu bebazi ngempela ubukhona nesikhundla sabo, ngabe bebengalokhu besafuna izithembiso namathemba namanje? Okufanele ukwazi yilokhu: Akukhathaleki noma uNkulunkulu uyangiphelelisa yini, kufanele ngilandele uNkulunkulu; yonke into ayenza manje yinhle, futhi yenzelwa mina, ukuze isimo sethu sishintshe futhi silahle ithonya likaSathane, ukuvuma ukuthi siphile ezweni lokungcola kepha silahle ukungabi msulwa, sithintithe ukungcola nethonya likaSathane, ukuze sikwazi ukushiya ithonya likaSathane. Impela, yilokhu okufuneka kuwena, kodwa kuNkulunkulu kumane kuwukunqoba nje, ukuze abantu bazimisele ukulalela, futhi bakwazi ukuthobela wonke amalungiselelo kaNkulunkulu. Ngale ndlela, izinto ziyofezeka. Namhlanje, abantu abaningi sebenqotshiwe kakade, kodwa ngaphakathi kubona kusekuningi ukuhlubuka nokungalaleli okukhona. Izinga la bantu langempela liselincane kakhulu, futhi bagcwala amandla uma kukhona amathemba nekusasa; uma engekho, baqala ukubuka izinto kabi, futhi bacabange ngisho ukumshiya uNkulunkulu. Kanti abantu abanasifiso esitheni sokufuna impilo yobuntu obujwayelekile. Lokho ngeke kulunge neze. Ngakho, ngisafanele sikhulume ngokunqotshwa. Empeleni, ukupheleliswa kwenzeka ngesikhathi esifanayo nokunqotshwa: Ngesikhathi unqotshwa, imithelela yokuqala yokupheleliswa iyabonakala. Lapho kukhona umahluko phakathi kokunqotshwa nokupheleliswa, kuba sezingeni lo shintsho kubantu. Ukunqotshwa isinyathelo sokuqala sokupheleliswa, futhi akusho ukuthi sebepheleliswe ngokuphelele, futhi akukhombisi ukuthi sebezuzwe ngokuphelele nguNkulunkulu. Emuva kokuba abantu benqotshiwe, kunezinguquko esimweni sabo, kodwa lezo zinguquko azifiki nakancane kulezo ezikubantu asebezuzwe ngokuphelele nguNkulunkulu. Namhlanje, okwenziwayo umsebenzi wokuqala ekwenzeni abantu ukuba bapheleliswe—ukubanqoba—futhi uma ungafinyelele ekubeni unqotshwe, ngeke ube nezindlela zokuba upheleliswe futhi uzuzwe ngokuphelele nguNkulunkulu. Uyomane uthole amazwi ambalwa okujeziswa nokwahlulelwa, kodwa ngeke akwazi ukuguqula inhliziyo yakho ngokuphelele. Ngakho, uyoba omunye walabo abayolahlwa; ngeke kuhluke kunokubuka idili elinezi biliboco etafuleni kodwa ungadli. Akulona usizi olusabekayo lolo? Ngakho kufanele ufune ushintsho: Noma ngabe ukunqotshwa noma ukupheleliswa, kokubili kuncike ekutheni ngabe kukhona yini izinguquko kuwena, nokuthi uyalalela noma cha—kanti lokhu kulawula ukuthi ungazuzwa nguNkulunkulu noma cha. Yazi ukuthi “ukunqotshwa” kanye “nokupheleliswa” kuncike kuphela ezingeni lo shintsho nokulalela, kanye nokuthi lumsulwa kangakanani uthando lwakho ngoNkulunkulu. Okufunekayo namhlanje ukuthi ungapheleliswa ngokuphelele, kodwa ekuqaleni kufanele unqotshwe—kufanele ube nolwazi olwanele ngokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu, kufanele ube nokholo ukuze ulandela, futhi ube ngumuntu ofuna ushintsho nokuthi kube khona imithelela. Yilapho kuphela uyoba khona ngumuntu ofuna ukupheleliswa. Kufanele uqonde ukuthi endleleni yokupheleliswa uzonqotshwa, futhi endleleni yokunqotshwa uyopheleliswa. Namhlanje, ungafuna ukupheleliswa noma ufune izinguquko kubuntu bakho bangaphandle kanye nobungcono ezingeni lakho, kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi uqonde ukuthi yonke into uNkulunkulu ayenzayo namhlanje inengqondo futhi iwusizo: Yenza ukuthi wena ozalwe ezweni lokungcola uphunyuke ekungcoleni futhi ukuthintithe, ikusiza ukuba unqobe ithonya likaSathane, uphinde ushiye kude ithonya elimnyama likaSathane—futhi ngokugxila kulezi zinto, uyavikeleka kulelizwe lokungcola. Ekugcineni, ibuphi ubufakazi oyocelwa ukuba ubethule? Uzalelwe ezweni lokungcola kodwa uyakwazi ukuba ngcwele, ungabe usanindwa ukungcola, uphila endaweni kaSathane kodwa uyahlukana nethonya likaSathane, futhi awuphathwa noma uhlukunyezwe nguSathane, futhi uphile ezandleni zikaSomandla. Lokhu ubufakazi, nobuqinisayo ngokunqoba empini noSathane. Uyakwazi ukufulathela uSathane, awusakhombisi izimo ezinobusathane kulokhu okuphilayo, kodwa kunalokho, uphila ngalokho uNkulunkulu ayefuna ukuba umuntu abe nakho ngesikhathi edala umuntu: ubuntu obujwayelekile, ukucabanga okujwayelekile, ukuqonda okujwayelekile, ukuzimisela okujwayelekile, kanye nokuthembeka kuNkulunkulu. Bunjalo ubufakazi obuthulwa odaliweyo kaNkulunkulu. Uthi, “Sizalwa ezweni lokungcola, kodwa ngenxa yokuvikelwa nguNkulunkulu, ngenxa yobuholi Bakhe, futhi ngenxa yokuthi Yena usinqobile, sikwazile ukulahla ithonya likaSathane. Ukuthi siyakwazi ukulalela namhlanje nakho kuwumthelela wokunqotshwa nguNkulunkulu, futhi akuve kungenxa yokuthi silungile, noma ngoba sasithanda uNkulunkulu ngokwemvelo. Yingoba uNkulunkulu wasikhetha, wasimisela phambilini, ukuthi sinqotshiwe namhlanje, siyakwazi ukufakazela Yena, futhi sikwazi ngisho ukumkhonza Yena; ngakho-ke yingoba usikhethile, futhi wasivikela, yingakho sisindisiwe futhi sakhululwa endaweni ephethwe nguSathane, futhi sikwazi ukushiya ngemuva ukungcola futhi senziwe msulwa ezweni likadrago omkhulu obomvu.”

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 201)

Umsebenzi wezinsuku zokugcina awuhambisani nayo yonke imithetho, futhi akukhathaleki noma uqalekisiwe noma ujezisiwe, inqobo nje uma usiza umsebenzi Wami, futhi uwusizo emsebenzini wokunqoba wanamuhla. Futhi akukhathalekile noma uyinzalo kaMowabi noma uyinzalo kadrako omkhulu obomvu, inqobo nje uma wenza umsebenzi walowo odalwe nguNkulunkulu kulesi sigaba somsebenzi, futhi wenza konke okusemandleni akho, umthelela ofanele uzofezeka. Uyinzalo kadrako omkhulu obomvu, futhi uyinzalo kaMowabi; sekukonke, bonke abaphila enyameni bayizidalwa zikaNkulunkulu, futhi badalwa nguMdali. Ungodaliweyo kaNkulunkulu, akufanele ube nokuzikhethela, futhi lona ngumsebenzi wakho. Impela, namhlanje umsebenzi woMdali uqondiswe endaweni yonke. Akukhathaleki ukuthi uyinzalo kabani, Ngaphezu kwakho konke ungomunye wabadaliwe bakaNkulunkulu, wena—nzalo kaMowabi—niyingxenye yabadalwe nguNkulunkulu, ukuthi nje ninezinga eliphansi kakhulu. Njengoba, namhlanje, umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa phakathi kwabo bonke abadaliwe, futhi uqondiswe endaweni yonke, uMdali ukhululekile ukukhetha noma ibaphi abantu, izindaba, noma izinto ukuze kwenziwe umsebenzi Wakhe. Akukhathaliseki ukuthi wawuyinzalo kabani; inqobo nje uma ungomunye wabadaliwe Bakhe, futhi inqobo nje uma uwusizo emsebenzini Wakhe—umsebenzi wokunqoba kanye nokufakaza—uzokwenza umsebenzi Wakhe kuwe ngaphandle kokungabaza. Lokhu kuyahlakaza imibono yabantu yendabuko, engukuthi uNkulunkulu akasoze asebenza phakathi kwabeZizwe, ikakhulukazi labo abaqalekisiwe futhi abaphansi; ngoba labo abaqalekisiwe, izizukulwane zabo ezilandelayo nazo ziyoqalekiswa ungunaphakade, abasoze baba nethuba lokusindiswa; uNkulunkulu akasoze ehla futhi asebenze ezweni labeZizwe, futhi akasoze abeka unyawo ezweni elinokungcola ngoba Yena ungcwele. Yonke le mibono iphihlizwe umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. Yazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wabo bonke abadaliwe, ubusa phezu kwamazulu nomhlaba nazo zonke izinto, futhi akayena uNkulunkulu wabantu bakwa-Israyeli kuphela. Ngakho, lo msebenzi usemqoka kakhulu eShayina, futhi angeke yini usabalele ezizweni zonke? Ubufakazi obukhulu bangesikhathi esizayo ngeke bugcine eShayina; uma uNkulunkulu ubenqobe wena kuphela, amadimoni abengakholiseka? Abakuqondi ukunqotshwa, noma amandla amakhulu kaNkulunkulu, futhi uma bonke abadaliwe sebenqotshiwe ilapho kuphela abantu abakhethiweyo bakaNkulunkulu beyobona imithelela yasekugcineni yalo msebenzi. Abekho abasemuva noma abakhohlakele njengenzalo kaMowabi. Uma nje laba bantu benganqotshwa—bona abakhohlakele kunabo bonke, abangazange bamvume uNkulunkulu noma bakholwe ukuthi uNkulunkulu ukhona, uma sebenqotshiwe, futhi bavuma uNkulunkulu ngemilomo yabo, baMdumisa, futhi bakwazi ukumthanda—ilapho lokhu kuyoba ubufakazi bokunqotshwa. Nakuba ungeyena uPetru, uphila njengoPetru, uyakwazi ukuba nobufakazi bukaPetru, kanye nobukaJobe, futhi lobu ubufakazi obukhulu kakhulu. Ekugcineni uzothi: “Asiwona ama-Israyeli, kodwa inzalo elahliwe kaMowabi, asiyena uPetru, izinga lakhe esingakwazi ukufinyelela kulona, noma uJobe, futhi asikwazi ngisho ukuziqhathanisa nokuzimisela kukaPawulu ukuhluphekela uNkulunkulu nokuzinikela kwakhe kuNkulunkulu, futhi sisemuva kakhulu, ngakho asifanelekile ukujabulela izibusiso zikaNkulunkulu. UNkulunkulu usiphakamisile kuze kube inamhlanje, ngakho kufanele senelise uNkulunkulu, futhi nakuba izinga noma izimfanelo zethu zingenele, sizimisele ukwenelisa uNkulunkulu—sinakho lokhu kuzimisela. Siyinzalo kaMowabi, futhi siqalekisiwe. Lokhu kwamiswa nguNkulunkulu, futhi asikwazi ukukushintsha, futhi sizimisele ukwenelisa uNkulunkulu.” Uma usunalokhu kuzimisela, kuyobonisa ukuthi usufakazile ukuthi usunqotshiwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 202)

Umphumela ongatholakala emsebenzini wokunqoba, ngokuyinhloko ukuthi inyama yomuntu iyeke ukuhlubuka, okusho ukuthi, ingqondo yomuntu imqonde kabusha uNkulunkulu, inhliziyo yakhe imlalele ngokugcwele uNkulunkulu, nokuthi yena abe ngokaNkulunkulu. Indlela isimo noma inyama yomuntu okushintsha ngayo akunqumi ukuthi unqotshiwe yini. Kunalokho, kusuke kuyilapho kushintsha indlela umuntu acabanga ngayo, ukuba nonembeza, nomqondo—okusho ukuthi lapho sonke isimo somqondo womuntu sishintsha—lapho niyobe ninqotshwe khona uNkulunkulu. Lapho ninqume ukulalela futhi nabheka izinto ngendlela entsha, lapho ningasafaki imibono noma izinhloso zenu ezwini nasemsebenzini kaNkulunkulu, lapho izingqondo zenu zikwazi ukucabanga ngendlela evamile, okusho ukuthi lapho nikwazi ukuzinikela kuNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yenu—lolu hlobo lomuntu lunqotshwe ngokuphelele. Ngokwenkolo, abantu abaningi abahlupheki ukuphila kwabo konke, banqoba imizimba yabo noma bathwala isiphambano, bahlupheka futhi babekezela kwaze kwaba yilapho bephefumula okokugcina! Abanye basesaba ukufa kwabo. Kukho konke ukuphila kwabo, bazincisha ukudla okumnandi nokugqoka kahle, babekezelele ukuhlupheka. Abakwazi ukunqoba imizimba yabo nokushiya inyama yabo. Umoya wabo wokubekezelela ukuhlupheka udinga ukunconywa. Kodwa akukabhekanwa nakancane nokucabanga kwabo, imibono yabo, indlela ababheka ngayo izinto, kanye nemvelo yabo endala imbala. Abaziqondi ngeqiniso. Isithombe sabo sengqondo ngoNkulunkulu esakudala soNkulunkulu oyinkimbinkimbi ongaqondakali. Ukuhlupheka kwabo ngenxa kaNkulunkulu kungenxa yentshiseko yabo kanye nombono wabo omuhle ngezinto. Nakuba bekholelwa kuNkulunkulu, abayiqondi futhi abayazi intando Yakhe. UNkulunkulu bamsebenzela ngobumpumputhe futhi bamhluphekela ngobumpumputhe. Abakubheki njengegugu ukuthi bayakwazi ukuqonda futhi abanandaba kangako nendlela yokuba nesiqiniseko sokuthi inkonzo yabo iyayifeza yini intando kaNkulunkulu. Ingasaphathwa eyokwazi ukuthi bengamqonda kanjani uNkulunkulu. UNkulunkulu abamkhonzayo akawona umfanekiso kaNkulunkulu wangempela, kodwa nguNkulunkulu abazenzele yena, uNkulunkulu abezwe ngaye, noma uNkulunkulu wakudala otholakala ezintweni ezibhaliwe. Babe sebesebenzisa ukukhalipha kwemicabango yabo nonkulunkulu abasezinhliziyweni zabo ukuze bahlupheke ngenxa kaNkulunkulu futhi benze umsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza. Inkonzo yabo iyinkimbinkimbi kakhulu, ngezinga lokuthi akukho noyedwa kubo okwazi ngempela ukukhonza ngokwentando kaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi bazimisele kangakanani ukuhlupheka, umbono wabo wangempela ngenkonzo nesithombe sabo sengqondo ngoNkulunkulu akushintshi ngenxa yokuthi abakaze badlule esahlulelweni nasekusolweni uNkulunkulu, kanye nasekucwengeni nasekuphelelisweni Nguye, nokuthi akekho oke wabahola ngeqiniso. Ngisho noma bekholelwa kuJesu uMsindisi, akekho kubo owake wabona uMsindisi. Bamazela kuphela ezinganekwaneni nakuyinzwabethi. Ngakho inkonzo yabo ingaphezu kokumane ukhonze amehlo evaliwe, njengempumputhe ikhonza uyise. Yini engafezwa ekugcineni ngalolu hlobo lwenkonzo? Ubani oyolwamukela? Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, inkonzo yabo ayishintshi nhlobo. Bamukele kuphela izifundo zomuntu futhi basekela inkonzo yabo ezintweni abazithandayo nabajwayelene nazo kuphela. Lokhu kungaba namuphi umvuzo? Ngisho noPetru, owayazi uJesu, wayengazi ukuthi angakhonza kanjani ngendlela efeza intando kaNkulunkulu. Kwaze kwaba sekupheleni, lapho esemdala, lapho aqala khona ukuqonda. Lokhu kusho ukuthini ngezimpumputhe ezingakaze zibhekane nalutho ezingakaze zibe namuntu oziqondisayo? Ingabe inkonzo yabaningi phakathi kwenu namuhla ayifani neyalezi zimpumputhe? Bonke labo abangakaze basamukele isahlulelo, abangakaze balungiswe futhi bashintshwe—ingabe abakanqotshwa ngokugcwele? Banamsebenzi muni abantu abanjalo? Uma ukucabanga kwakho, ukuqonda kwakho ukuphila, nokuqonda kwakho uNkulunkulu kungabonisi ushintsho olusha futhi kungaphumeli ngisho nasekuzuzeni okuncane, awusoze wathola into esile enkonzweni yakho! Ngaphandle kombono nangaphandle kokuqonda okusha umsebenzi kaNkulunkulu, awunakuba umuntu onqotshiwe. Indlela yakho yokulandela uNkulunkulu iyofana neyalabo abahluphekayo futhi abazila ukudla—ngeke ibaluleke kakhulu! Kumane kungenxa yobufakazi obuncane balokho abakwenza enkonzweni yabo obungenza ngithi inkonzo yabo iyize leze! Bachitha ukuphila kwabo behlupheka, behleli ejele; bahlala bebekezela, bethanda, futhi belokhu bethwele isiphambano, futhi bayahlekwa balahlwe yizwe, bezwa bonke ubunzima, futhi balalela kuze kube sekupheleni, kodwa noma kunjalo abanqotshiwe futhi abukho ubufakazi bokunqotshwa abangabethula. Abakaze bahlupheke nakancane, kodwa ngaphakathi abamazi nhlobo uNkulunkulu. Abakaze bayigcine imicabango yabo emidala, imibono emidala, amasiko enkolo, nokuqonda komuntu, kanye nemibono yomuntu. Lokhu akukhona nhlobo ukuqonda okusha kubo. Akukho ngisho nokuncane ukuqonda ngoNkulunkulu okuyiqiniso noma okunembile kubo. Abayiqondi kahle intando kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kungaba ukukhonza uNkulunkulu? Nokho benimqonda uNkulunkulu esikhathini esedlule, uma ningakwazi ukuqhubeka nakho namuhla futhi niqhubeka nisekela ukuqonda kwenu uNkulunkulu emibonweni kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wenzani. Lokho kufana nokuthi ungabi nakho ukuqonda okusha ngoNkulunkulu futhi wehluleke ukwazi umfanekiso wangempela kaNkulunkulu nesimo Sakhe seqiniso. Ake sithi ukuqonda kwakho uNkulunkulu kulawulwa iqembu labantu, imibono engenalo iqiniso futhi kuseyimicabango nezimfundiso zomuntu. Uma kunjalo, khona-ke kusho ukuthi awukanqotshwa. Inhloso yami ngokusho wonke la mazwi kini ukuthi nginivumele niqonde futhi nisebenzise lolu lwazi ukuze luniholele ekuqondeni okunembile nokusha. Ahloselwe nokuxosha izimfundiso ezindala nolwazi oludala eninakho ukuze nikwazi ukuba nokuqonda okusha. Uma niwadla ngempela futhi niwaphuze amazwi Ami, khona-ke ukuqonda kwenu kuyoshintsha kakhulu. Uma nje nisenenhliziyo elalelayo lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, nombono wenu uzoshintsha. Uma nje nisakwazi ukwamukela izijeziso eziningi, isimo somqondo wenu esidala siyoshintsha kancane kancane. Uma nje isimo somqondo wenu esidala sithathelwe indawo ngokuphelele esisha, nendlela enenza ngayo nayo iyoshintsha. Ngale ndlela, inkonzo yenu kancane kancane iyoba into ebalulekile, ikwazi ukufeza intando kaNkulunkulu. Uma ukwazi ukuguqula ukuphila kwakho, ukuqonda kwakho ukuphila, nokwazi kwakho ukuphila komuntu, nemibono yakho eminingi ngoNkulunkulu, khona-ke isimo sakho esingokwemvelo siyoncipha kancane kancane. Lokhu, kuwumphumela wangemva kokuthi uNkulunkulu enqobe umuntu; lolu ushintsho oluyobonakala kumuntu. Nakuba ekukholelweni kuNkulunkulu, okuwukuphela kwento eniyaziyo ukunqoba imizimba yenu nokubekezela kanye nokuhlupheka, futhi akunicaceli ukuthi enikwenzayo kuhle noma kubi, ingasaphathwa eyokuthi kungokukabani, khona-ke lolu hlobo lokwenza izinto lungaholela kanjani oshintshweni?

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 203)

Kusho ukuthini ukupheleliswa? Kusho ukuthini ukunqotshwa? Yini umuntu okufanele ayenze ukuze anqotshwe? Futhi yini okufanele ayenze ukuze apheleliswe? Ukunqoba nokuphelelisa kunenhloso yokuphelelisa umuntu ukuze abuyele esimweni sakhe sasekuqaleni, akhululeke esimweni sikaSathane esikhohlakele nasekuyengweni nguSathane. Lokhu kunqoba kusheshe kufike kumuntu osebenzayo, okusho ukuthi kuyisigaba sokuqala somsebenzi. Ukuphelelisa kuyisigaba esilandelayo, noma umsebenzi wokuphetha. Wonke umuntu kufanele adlule ekunqotshweni; uma kungenjalo ngeke amazi uNkulunkulu futhi ngeke azi ukuthi kunoNkulunkulu, okusho ukuthi ngeke akwazi ukuphawula uNkulunkulu. Uma umuntu engamboni uNkulunkulu, ngeke akwazi ukupheleliswa uNkulunkulu ngenxa yokuthi akazifinyeleli izimfuneko zalokhu kupheleliswa. Uma uhluleka ukubona uNkulunkulu, ungamazi kanjani? Futhi ungamfuna kanjani? Ngeke ukwazi nokufakaza Ngaye, ingasaphathwa eyokuba nokholo olumgculisayo. Ngakho, noma ubani ofuna ukupheleliswa, isinyathelo sokuqala ukuthi adlule emsebenzini wokunqoba. Lona umbandela wokuqala. Kodwa ukunqoba noma ukuphelelisa, kuyimigomo yomuntu osebenzayo futhi kuyamshintsha, futhi ngakunye kubalulekile ekuqondiseni komuntu. Lezi zinyathelo ezimbili ziyadingeka ekuguquleni umuntu abe ophelele; asikho isinyathelo okufanele seqiwe. Kuyiqiniso ukuthi “ukunqotshwa” akuzwakali kahle, kodwa empeleni inqubo yokunqoba umuntu iyinqubo yokumguqula. Uma usunqotshiwe, kungase kube asiqediwe ngokuphelele isimo sakho esikhohlakele, kodwa uyobe usazi. Ngomsebenzi wokunqoba uyobazi ubuntu bakho obuphansi kanye nokuthi awulaleli ngezinga elingakanani. Nakuba ungeke ukwazi ukukulahla noma ukushintshe ngesikhashana somsebenzi wokunqoba, uyokwazi ngakho. Lokhu kubeka isisekelo sokupheleliswa kwenu. Ngakho ukunqoba nokuphelelisa kokubili kwenziwa umuntu oguqukayo, kokubili inhloso yakho ukuqeda ngesimo sakhe esikhohlakele sobusathane ukuze azinikele ngokugcwele kuNkulunkulu. Kumane kuwukuthi ukunqotshwa kuyisinyathelo sokuqala ekushintsheni isimo somuntu nasekutheni umuntu azinikele ngokugcwele kuNkulunkulu, okuyisigaba esiphansi kunesokupheleliswa. Isimo sokuphila somuntu onqotshiwe sishintsha kancane kunesomuntu ophelelisiwe. Ukunqotshwa nokupheleliswa kuyehluka ngezinga elithile kumuntu ngamunye ngenxa yokuthi kuyizigaba ezingafani zomsebenzi nangenxa yamazinga angafani abantu, ukunqoba kubenza babe sezingeni eliphansi kuyilapho ukupheleliswa kubenza baphakame. Abaphelelisiwe abantu abalungile, abantu abangcwelisiwe futhi bahlanzwa; bawumphumela womsebenzi wokuqondiswa komuntu, noma isiphetho. Nakuba bengebona abantu abaphelele, bangabantu abafuna ukuphila okunomgomo. Kodwa abanqotshiwe basho ngomlomo ukuthi uNkulunkulu ukhona; bayabona ukuthi uNkulunkulu uzenze umuntu, ukuthi iZwi livela lisenyameni, nokuthi uNkulunkulu wehlele emhlabeni ukuze enze umsebenzi wokwahlulela nokusola. Bayabona nokuthi ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu nokuyala Kwakhe kanye nokucwenga konke kuyamzuzisa umuntu. Okusho ukuthi, sebeqala ukufana nabantu, bayakuqonda ngezinga elithile ukuphila kodwa inkungu isagcwele amehlo. Ngamanye amazwi, bamane nje baqala inqubo yabantu. Lena imiphumela yokunqotshwa. Lapho abantu bethatha isinyathelo sokupheleliswa, isimo sabo esidala singashintshwa. Ngaphezu kwalokho, ukuphila kwabo kuyakhula futhi kancane kancane bangena bajule eqinisweni. Bayakwazi ukuzonda izwe noma bazonde bonke abangalifuni iqiniso. Bazizonda bona ikakhulu, kodwa okukhulu nakakhulu, ukuthi bazazi ngokucacile. Bazimisele ukuphila ngeqiniso futhi bakwenza umgomo wabo ukufuna iqiniso. Abazimisele ukuphila ngemicabango yezingqondo zabo, futhi bayakuzonda ukuzibona komuntu elungile, nokuzidla kwakhe. Bakhuluma into ehluzekile ngokulunga, banokuqonda, nokuhlakanipha, futhi bathembekile futhi balalela uNkulunkulu. Lapho bedlula ezikhathini zokujeziswa nokwahlulelwa, abagcini nje ngokubonisa ubuthaka, kodwa bayabonga ngokusola nokwahlulela okuvela kuNkulunkulu. bakholwa ukuthi abakwazi kwenza lutho ngaphandle kokusola nesahlulelo sikaNkulunkulu; bangathola isivikelo Sakhe kukho. Abafuni ukholo lokuthula nenjabulo, futhi abasifuni isinkwa esizovala iphanga labo. Abayilandeli futhi injabulo yenyama. Lokhu yinto abaphelelisiwe abanayo. Ngemva kokuba abantu sebenqotshiwe, bayavuma ukuthi ukhona uNkulunkulu. Kodwa noma yiziphi izenzo eziza nokuvuma ubukhona bukaNkulunkulu, lezi zenzo zinomkhawulo kuzo. Ukuthi uLizwi ubonakala enyameni kusho ukuthini ngempela? Ukuba senyameni kusho ukuthini? Yini eyenziwe ukuba senyameni kukaNkulunkulu? Uyini umgomo kanye nokubaluleka komsebenzi Wakhe? Ngemva kokubona umsebenzi Wakhe omkhulu kangaka, ukubona izenzo Zakhe enyameni, yini oyizuzile? Kungemva kokuqonda zonke lezi zinto kuphela lapho ungaba khona umuntu onqotshiwe. Uma kuphela uthi uyavuma ukuthi ukhona uNkulunkulu, kodwa ungakushiyi okufanele ukushiye futhi wehluleke ukudela ukujabulisa inyama leyo okufanele uyidele, futhi esikhundleni salokho uqhubeke nokunethezeka kwenkanuko yenyama njengoba uhlale njalo wenza, awukwazi ukuyeka noma yiluphi ubandlululo ngabafowenu nodadewenu, kanye nezenzo eziningi ezilula nje ongakwazi ukufaka igxalaba lakho ukuze zigcwaliseke, lokho-ke kubonisa ukuthi anikanqotshwa. Esimweni esinjalo, ngisho noma uqonda okuningi, konke kuzoba yize. Abantu abanqotshiwe ngabafinyelele ezinguqukweni ezithile zokuqala nabanokungena kokuqala. Ukubona isahlulelo sikaNkulunkulu kanye nokusolwa kubenza babe nolwazi lokuqala ngoNkulunkulu kanye nokuqonda kokuqala iqiniso. Nakuba amaqiniso amaningi ajulile, anemininingwane eminingi awukwazi ukungena ngokuphelele kuwo ngokoqobo, uyakwazi ukwenza amaqiniso amaningi ayisisekelo ekuphileni kwakho kwangempela, njengalawo ahlanganisa izinjabulo zakho zenyama noma izinga lakho siqu. Konke lokhu, empeleni, ngokufinyelelwayo kulabo abanqotshwayo. Olunye uququko esimweni lungabonwa nasekunqotshweni. Ngokwesibonelo, izingubo zabo nokuzihlobisa kanye nokuphila kwabo—lokhu kungaguquka. Ukubona kwabo ukukholwa kuNkulunkulu kuyaguquka, bathole ukucaciseleka ngenjongo yokuphishekela kwabo, futhi izifiso zabo ziyakhula. Ngesikhathi sokunqotshwa, isimo sokuphila kwabo singase futhi siguquke ngokuhambisanayo. Akusikho ukuthi abaguquki nhlobo. Kumane nje kuwukuthi uguquko lwabo alujulile, lusekuqaleni, futhi luncane kakhulu kunoguquko lwesimo nangenjongo yokuphishekela ezobonakala ngemva kokuba umuntu esephelelisiwe. Uma ngesikhathi sokunqotshwa isimo somuntu singaguquki nhlobo futhi engatholi ngisho neqiniso elincane, lolu hlobo lomuntu-ke luba nje yinto eyizibi futhi engenamsebenzi ngokuphelele! Abantu abangakanqotshwa ngeke bapheleliswe! Futhi uma umuntu efuna kuphela ukunqotshwa, ngeke enziwe aphelele ngokugcwele, ngisho noma isimo sakhe sibonisa uguquko oluthile ngesikhathi somsebenzi wokunqotshwa. Futhi uzolahlekelwa yiqiniso lokuqala alitholile. Kunomehluko omkhulu phakathi kwenani lokuguquka kwesimo kulowo onqotshiwe kanye nophelelisiwe. Kodwa ukunqotshwa kuyisinyathelo sokuqala oguqukweni; kuyisisekelo. Ukuntuleka kwalolu shintsho lokuqala kuwubufakazi bokuthi umuntu akamazi ngempela uNkulunkulu ngenxa yokuthi lolu lwazi luza ngokwahlulelwa, futhi lokhu kwahlulelwa kuyinto ebalulekile emsebenzini wokunqoba. Ngakho, wonke umuntu ophelelisiwe odlule ekubeni anqotshwe. Ngaphandle kwalokho, ngeke kwenzeke ukuba bapheleliswe.

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 204)

Namuhla, ngikukhuzela ukuthi kusinde wena, ukuze umsebenzi Wami uqhubeke ngempumelelo, nokuthi umsebenzi Wami wokuqala wenziwe ngokufanele nangokuphelele emhlabeni jikelele, ngokuveza amazwi Ami, negunya, nokuphakama kanye nokwahlulela abantu bakuwo wonke amazwe nezinhlanga. Umsebenzi engiwenza phakathi kwenu uyisiqalo somsebenzi wami emhlabeni jikelele. Yize manje sekuyizinsuku zokugcina, yazi ukuthi “izinsuku zokugcina” yigama lenkathi: NjengeNkathi Yomthetho Nenkathi Yomusa, kushiwo inkathi, futhi kushiwo inkathi iyonke, kunokubalwa kweminyaka embalwa yokugcina nezinyanga. Kodwa izinsuku zokugcina zehluke kakhulu kuneNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho. Umsebenzi wezinsuku zokugcina awenziwa kwa-Israyeli, kodwa kubantu Bezizwe; kuwumsebenzi wokunqoba ophambi kwesihlalo Sami sobukhosi sezinhlanga zonke kanye nabo bonke abantu abangaphandle kwakwa-Israyeli, ukuze inkazimulo Yami emhlabeni jikelele igcwalise umhlaba nomkhathi wonke. Lokho kwenzelwa ukuthi ngidunyiswe kakhulu, ukuze zonke izidalwa zasemhlabeni zikwazi ukudlulisela udumo Lwami ezizweni zonke, ingunaphakade ezizukulwaneni, futhi zonke izidalwa zasezulwini nasemhlabeni zingakwazi ukubona ukukhazimula engikuthole emhlabeni. Umsebenzi owenziwa ngezinsuku zokugcina ungumsebenzi wokunqoba. Akusikho ukuholwa kwezimpilo zabo bonke abantu emhlabeni, kodwa kuwukuphetha ukungashatshalaliswa kwesintu, ukuhlupheka kwezigidi zeminyaka kwasemhlabeni. Ngenxa yalokho, umsebenzi wezinsuku zokugcina ngeke ube njengalowo weminyaka eyizinkulungwane kwa-Israyeli, noma njengomsebenzi waseJudiya weminyaka eminingi owaqhubekela kweminye iminyaka eyizinkulungwane ezimbili kwaze kwaba ukuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu kwesibili. Abantu bezinsuku zokugcina babhekana nokuvela kabusha koMhlengi enyameni, futhi bathola umsebenzi namazwi kaNkulunkulu ngqo. Angeke kube iminyaka eyizinkulungwane ezimbili ngaphambi kokuba kuphele izinsuku zokugcina; zimbalwa, njengesikhathi lapho uJesu enza umsebenzi Ngenkathi Yomusa eJudiya. Lokhu kwenziwa ukuthi izinsuku zokugcina ziyisiphetho sesikhathi somlando sisonke. Ziwukuqedelwa nokupheliswa kohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, futhi kuphetha inkambo yempilo kanye nokuhlupheka kwesintu. Abadluliseli isintu sisonke enkathini entsha noma bavumele isintu ukuthi siqhubeke nokuphila. Lokhu kuyobe kungabalulekile ohlelweni lokuphatha Lwami noma ebukhoneni bomuntu. Uma isintu siqhubeka kanje; maduze nje sizobe sesizinikele ngokugcwele kuSathane, futhi leyo miphefumulo okungeyami ekugcineni iyochithakaliswa yizandla zakhe. Umsebenzi Wami uhlala iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, futhi ngiyethembisa ukuthi ukulawula komubi esintwini sisonke nakho kuyoba ngokweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Ngakho, siphelile isikhathi. Angisaqhubeki futhi angisadebeseli manje: Ngezinsuku zokugcina ngizomnqoba uSathane, ngizobuyisela inkazimulo Yami, futhi ngizolanda imiphefumulo Yami emhlabeni ukuze le miphefumulo ekhathazekile ephunyuke olwandle lokuhlupheka, futhi lokhu kuzophothula umsebenzi Wami uwonke emhlabeni. Kusukela ngalolu suku kuya phambili, ngeke ngisaphinde ngibe sesimweni senyama emhlabeni, futhi ngeke uMoya Wami olawulayo uphinde usebenze emhlabeni. Ngizokwenza okukodwa vo emhlabeni: Ngizokwenza isintu kabusha, isintu esingcwele, esiyidolobha Lami elethembekile emhlabeni. Kodwa yazi ukuthi angizukunqoba umhlaba uwonke, noma angizukunqoba sonke isintu. Ngizogcina ingxenye—ingxenyana ethanda Mina futhi enqontshwe Yimi kakhulu, futhi ngizokwenza ukuthi le ngxenyana ithele izithelo futhi igcwalise umhlaba njengoba kwenza ama-Israyeli ngaphansi komthetho, bondliwe ngezimvu eziningi kanye nomhlambi wezinkomo kanye nayo yonke ingcebo yomhlaba. Lesi sintu sizohlala Nami ingunaphakade, kube ayisiso lesi sintu esingcolile nesinengayo sanamuhla, kodwa isintu esihlanganisa bonke abazuzwa Yimi. Isintu esinjalo asizukumoshakala, siphazamiseke, noma sizungezwe uSathane, futhi kuzoba yiso kuphela isintu esikhona emhlabeni emuva kokuba senginqobe uSathane. Yisintu esinqotshwe Yimi namuhla futhi esizuze isethembiso Sami. Ngakho, isintu esinqotshwe ngezinsuku zokugcina siphinde sibe yisintu esizohlengwa nesizothola izibusiso Zami ingunaphakade. Kuzoba yibo kuphela ubufakazi bokunqoba Kwami uSathane, futhi yikho kuphela okuzobe kuwumqhele wempi Yami noSathane. Le miqhele yempi isindiswe Yimi esigodlweni sikaSathane, futhi iwukukhazimula nezithelo zohlelo lokuphatha Lwami lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Iphume kuwo wonke amazwe namabandla, nakuzo zonke izindawo namazwe emhlabeni jikelele. Yehlukile kunezinye izinhlanga, inezilimi ezehlukile, amasiko kanye namabala esikhumba, futhi igcwele ezweni ngalinye nebandla emhlabeni jikelele, kanye namagumbi omane omhlaba. Ekugcineni, izohlangana njengesintu esiphelele, inhlangano yabantu amandla kaSathane angefinyelele kubo. Labo phakathi kwesintu abangasindiswanga nabanganqotshwanga Yimi bazominzela ekujuleni kolwandle, futhi bazoshishwa amalangabi Ami avutha bhe ingunaphakade. Ngizosinqoba lesi sintu esidala nesingcole ngokwedlulele, njengoba nganqoba amadodana ayengamazibulo kanye nomhlambi waseGibhithe, kusale ama-Israyeli, adla inyama yemvu, aphuza igazi lemvu, futhi afakwa uphawu ezicabheni zawo ngegazi lemvu. Ngabe abantu abanqotshwa Yimi futhi abangabomndeni Wami asibo laba bantu abadla inyama Yami Imvu, baphuza igazi Lami Imvu, futhi bahlengwa Yimi futhi bangidumisa? Ngabe laba bantu abahlali behambisana nenkazimulo Yami? Ngabe labo abangenayo inyama Yami Imvu sebeminzele ekujuleni kolwandle? Namuhla niphikisana Nami, futhi namuhla amazwi Ami anjengalawo akhulunywa uJehova kumadodana nabazukulu bakwa-Israyeli. Kodwa ubunzima ekujuleni kwezinhliziyo zenu benza ulaka Lwami lunqwabelane, kulethe inhlupheko phezu kwenyama yenu, kwande isijeziso phezu kwezono zenu, futhi kwandise ulaka phezu kokulunga kwenu. Ubani ongasinda ngosuku lolaka Lwami, uma niphatha Mina kanje namuhla? Ubani onokulunga okungaphunyuka emehlweni Ami okusola? Ngezabani izono ezingaphunyuka ezandleni Zami, uSomandla? Ukona kukabani okungaphunyuka ekwahluleleni Kwami, uSomandla? Mina, Jehova, ngikhuluma kuwe, izizukulwane zomndeni Wezizwe, futhi amazwi akhulunywa Yimi kuwe edlula izwi leNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa, kodwa ulukhuni ngaphezu kwabantu baseGibhithe. Ngabe awugcini ulaka Lwami njengoba njengoba ngenza ngokunethezeka umsebenzi Wami? Ungaphunyuka kanjani ungalimalanga ngosuku Lwami, uSomandla?

Kucashunwe embhalweni othi “Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 205)

Kumele nizinikele ngakho konke okwenu emsebenzini Wami. Kumele nenze umsebenzi ozuzisa Mina. Ngifuna ukunitshela ngakho konke eningacacelwa kukho ukuze nizuze konke enikuswele Kimi. Nakuba amaphutha enu emaningi kakhulu ukuba angabalwa, ngizimisele ukuqhubeka ngenze umsebenzi okufanele ngiwenze Kini, nginiphe umusa Wami wokugcina ukuze nizuze Kimi futhi nithole nenkazimulo eningenayo futhi izwe elingakaze liyibone. Ngisebenzile iminyaka eminingi, kepha akekho phakathi kwabantu ongazile. Ngifuna ukunitshela izimfihlo engingakaze ngizitshele muntu.

Phakathi kwabantu, ngangiwuMoya ababengawuboni, uMoya ababengakaze bakwazi ukuxhumana Nawo. Ngenxa yezigaba Zami ezintathu zomsebenzi emhlabeni (ukudalwa komhlaba, ukuhlenga, kanye ukubhujiswa), ngiyavela phakathi kwabo ngezikhathi ezahlukene (hhayi esidlangaleni) ukwenza umsebenzi Wami phakathi kwabantu. Ngesikhathi ngiqala ukufika phakathi kwabantu, kwakuyiNkathi Yokuhlengwa. Yiqiniso ukuthi ngafikela emndenini wamaJuda; ngakho, abokuqala ababona uNkulunkulu efika emhlabeni, kwakungamaJuda. Isizathu esenza ngenze lo msebenzi mathupha yingoba ngangifuna ukusebenzisa ubuntu bukaNkulunkulu enyameni njengomhlatshelo wesono emsebenzini Wami wokuhlengwa. Ngakho abokuqala abangibona kwakungamaJuda angeNkathi Yomusa. Kwakungokokuqala ngisebenza enyameni. NgeNkathi Yombuso, umsebenzi Wami ukunqoba nokuphelelisa, ngakho, ngiyaphinda ngenze umsebenzi wokwelusa enyameni. Lokhu okwesibili ngisebenza enyameni. Ezigabeni ezimbili zokugcina zomsebenzi, lokho abantu abahlangana nakho akuseyena uMoya ongabonakali, ongathinteki, kodwa umuntu onguMoya osubonakala enyameni. Ngakho, emehlweni omuntu, ngiphinda ngiphenduke umuntu ongabukeki futhi ongazwakali njengoNkulunkulu. Futhi, uNkulunkulu obonwa abantu akasiye owesilisa kuphela, kodwa owesifazane futhi, okuyinto eshaqisayo nedidayo kubo. Kaninginingi, umsebenzi Wami ongejwayelekile uchitha izinkolelo ezindala ebezibanjwe iminyaka ngeminyaka. Abantu bashaqekile! UNkulunkulu akasiye nje kuphela uMoya oNgcwele, lowo Moya, uMoya onamandla aphindwe kasikhombisa, uMoya osibekela konke, kodwa futhi ungumuntu, umuntu ojwayelekile, umfokazana okwempela. Akasiye owesilisa kuphela, kodwa futhi owesifazane. Bayafana ngokuthi bonke bazalwa ngabantu, bese behluka ngokuthi omunye uzelwe ngokoMoya kanti omunye uzelwe ngokwenyama kodwa esuselwa kuMoya ngqo. Bayafana ngokuthi zozimbili lezi zinyama zikaNkulunkulu ethathe isimo sesintu zenza umsebenzi kaNkulunkulu uBaba, futhi abafani ngokuthi omunye wenza umsebenzi wokuhlenga kanti omunye wenza umsebenzi wokunqoba. Bobabili bamele uNkulunkulu uBaba, kodwa omunye uyiNkosi yokuhlenga egcwele umusa nothando kanye nesihe, kanti omunye uNkulunkulu wokulunga ogcwele ulaka nokwahlulela. Omunye nguMkhuzi Ophakeme owethula umsebenzi wokuhlengwa, kanti omunye uNkulunkulu olungileyo ozofeza umsebenzi wokunqoba. Omunye uyiSiqalo, omunye uyiSiphetho. Omunye yinyama engenasono, omunye inyama efeza ukuhlengwa, iqhube umsebenzi, futhi ayibi neze eyesono. Bobabili banguMoya ofanayo, kodwa bahlala ezinyameni ezihlukene futhi bazalwa ezindaweni ezihlukene. Futhi bahlukaniswe iminyaka eyizinkulungwane eziningi. Kepha, wonke umsebenzi Wabo uyahambisana ngokuvumelana, awuxabani, futhi kungakhulunywa ngawo kanye kanye. Bobabili bangabantu, kodwa omunye yingane yomfana kanti omunye usana lwentombazane. Kuyo yonke le minyaka eminingi, lokhu abantu abakubonile akusiye uMoya kuphela kanti futhi akusiyena umuntu kuphela, owesilisa, kodwa futhi yizinto eziningi ezingahambisani nemibono yomuntu, ngakho, abakwazi ukungiqonda ngokugcwele. Bakholwa ingxenye futhi bangabaze ingxenye Ngami, kusengathi ngikhona kodwa ngiyiphupho elikhohlisayo. Yingakho kuze kube namuhla, abantu abazi ukuthi uyini uNkulunkulu. Ungangibeka ngempela ngokufinyeziwe ngomusho owodwa olula? Ungalokotha usho ngeqiniso ukuthi “UJesu akasiye omunye ngaphandle kukaNkulunkulu, futhi noNkulunkulu akasiye omunye ngaphandle kukaJesu”? Ngabe unesibindi sokuthi “UNkulunkulu akasiye omunye ngaphandle kukaMoya, futhi uMoya akasiye omunye ngaphandle kukaNkulunkulu”? Ngabe ukhululekile ngokuthi “UNkulunkulu ungumuntu ogqoke inyama nje”? Ngabe unaso ngempela isibindi sokuqinisa ukuthi “Umfanekiso kaJesu umfanekiso omkhulu kaNkulunkulu?” Ungakwazi yini ukuchaza kahle isimo nomfanekiso kaNkulunkulu uthembele emandleni esiphiwo sakho samazwi? Uyalokotha uthi “UNkulunkulu wadala owesilisa kuphela, hhayi owesifazane, ngomfanekiso Wakhe”? Uma usho lokhu, ngabe akekho owesifazane phakathi kwabakhethiweyo Bami futhi ingasaphathwa eyokuthi abesifazane babe wuhlobo phakathi kwesintu. Manje usuyazi ukuthi uNkulunkulu uyini? Ngabe uNkulunkulu ungumuntu? Ngabe uNkulunkulu unguMoya? Ngabe uNkulunkulu ungowesilisa ngempela? UJesu kuphela ongafeza umsebenzi engifuna ukuwenza? Uma ukhetha okukodwa kulokhu okungenhla ukubeka ngokufinyeziwe ingqikithi Yami, uyobe uyikholwa elithembekile elingazi lutho ngokwedlulele. Uma ngisebenza njengoNkulunkulu othathe isimo somuntu kanye futhi kanye kuphela, ungangichaza? Ungangiqonda ngokuphelele ngempela ngokungibuka kanye nje? Ungangibeka ngokufinyeziwe ngokupheleleyo ngempela, usebenzisa lokhu osukubonile ngesikhathi sokuphila kwakho kuphela? Futhi uma ebuntwini Bami benyama obubili ngenza umsebenzi ofanayo, ungangibuka kanjani? Ungangishiya yini kuze kube phakade ngibethelwe esiphambanweni? UNkulunkulu angaba sobala ngendlela osho ngayo?

Kucashunwe embhalweni othi “Kuthini Ukuqonda Kwakho UNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 206)

Isigaba esisodwa somsebenzi wezinkathi ezimbili ezingaphambilini senzeka kwa-Israyeli; esinye senzeka eJudiya. Uma sikhuluma ngokujwayelekile, asikho esalezi zigaba zomsebenzi esashiya u-Israyeli; kwabe kuyizigaba zomsebenzi ezazenziwe phakathi kwabantu abakhethiweyo basekuqaleni. Ngakho, ngokubona kwama-Israyeli, uJehova uNkulunkulu nguye kuphela onguNkulunkulu wama-Israyeli. Ngenxa yomsebenzi kaJesu eJudiya, nangenxa yokuphetha kwakhe umsebenzi wokubethelwa, ngokubona kwamaJuda, uJesu nguMhlengi wamaJuda. UyiNkosi yamaJuda kuphela, hhayi yanoma ibaphi abanye abantu; akuyona iNkosi ehlenga amaNgisi, noma iNkosi ehlenga amaMelikana, kodwa uyiNkosi ehlenga ama-Israyeli, futhi kwa-Israyeli, ngamaJuda awahlengayo. Empeleni, uNkulunkulu uyiNkosi yazo zonke izinto. UnguNkulunkulu wayo yonke indalo. Akayena nje kuphela uNkulunkulu wama-Israyeli, futhi akayena kuphela uNkulunkulu wamaJuda; unguNkulunkulu wakho konke okudaliwe. Izigaba ezimbili zomsebenzi Wakhe wangaphambilini zenzeka kwa-Israyeli, futhi ngale ndlela, kwakheka imicabango ethile kubantu. Abantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu wayesebenza kwa-Israyeli nokuthi uJesu Uqobo Lwakhe wenza umsebenzi Wakhe eJudiya—ngaphezu kwalokho, kwaba ingokuthatha isimo sesintu ukuthi wayesebenza eJudiya—futhi akunandaba ukuthi kwakukuphi, lo msebenzi awuzange udlule ngale kwaka-Israyeli. Wayengekho emsebenzini nabaseGibhithe; Wayengekho emsebenzini namaNdiya; Wayesemsebenzini nama-Israyeli. Abantu ngale ndlela bakha imicabango ehlukahlukene; Ngaphezu kwalokho, bahlela umsebenzi kaNkulunkulu ngaphakathi kwesilinganiso esithile. Bathi uma uNkulunkulu esebenza, kufanele kwenzeke phakathi kwabantu abakhethiweyo futhi kwa-Israyeli; ngaphandle kwama-Israyeli uNkulunkulu akanabo abanye abamukela umsebenzi Wakhe, futhi akanaso esinye isilinganiso somsebenzi Wakhe; banemthetho eqinile ikakhulukazi “ekuqondiseni” uNkulunkulu othathe isimo sesintu, bengamvumeli Yena ukuthi asebenze ngaphandle komngcele wakwa-Israyeli. Akuyona yonke yini lena imibono yabantu? UNkulunkulu wenza wonke amazulu nomhlaba kanye nezinto zonke, futhi wenza konke okudaliweyo; wayengawuklalela kanjani umsebenzi wakhe ku-Israyeli kuphela? Uma kunjalo, kwakusizani ukuthi adale okudaliwe Kwakhe sekukonke? Wadala umhlaba wonke; useqhube uhlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha hhayi kuphela kwa-Israyeli kodwa nakuwona wonke umuntu emhlabeni jikelele. Akunandaba ukuthi bahlala eShayina, eMelika, eNgilandi noma eRashiya, wonke umuntu uyinzalo ka-Adamu; bonke benziwe nguNkulunkulu. Akekho noyedwa umuntu ongaphuma esilinganisweni sendalo kaNkulunkulu, futhi akekho noyedwa umuntu ongaphunyuka ekubizweni ngokuthi “bayinzalo ka-Adamu.” Bonke bayizidalwa zikaNkulunkulu, futhi bayinzalo ka-Adamu; bayinzalo ka-Adamu no-Eva eyonakalisiwe. Akuwona ama-Israyeli kuphela okudaliwe kukaNkulunkulu, kodwa bonke abantu; nokho, abanye endalweni baqalekiswa futhi abanye babusiswa. Ziningi izinto ezifisekayo ngama-Israyeli; uNkulunkulu wayeqale ukusebenza kubo ngokuba babengabantu abangenakho ukukhohlakala njengabo bonke abanye. AmaShayina awubala uma kuqhathaniswa nabo, futhi ngeke bathembe ukubafica; ngakho, uNkulunkulu ekuqaleni wasebenza phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, futhi isigaba sesibili somsebenzi Wakhe senziwa kuphela eJudiya. Ngenxa yalokhu, abantu bakha imibono eminingi nemigomo eminingi. Empeleni, uma wayengenza ngokusho kwemibono yabantu, uNkulunkulu wayeyoba nguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela; ngale ndlela wayengeke akwazi ukwandisa umsebenzi Wakhe ezizweni Zabezizwe, ngoba ubezobe ewuNkulunkulu wama-Israyeli kunoNkulunkulu wakho konke okudaliweyo. Iziprofetho zathi igama likaJehova liyoba likhulu ezizweni Zabezizwe—kungani babengasho lokhu? Uma uNkulunkulu kwabe kunguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, wayezobe esebenza kwa-Israyeli kuphela. Ngaphezu kwalokho, wayengeke awandise umsebenzi Wakhe, futhi wayengeke asenze lesi siprofetho. Njengoba enza lesi siprofetho, wayezodinga ukwandisa umsebenzi Wakhe ezizweni Zabezizwe nasezizweni nezindawo zonke. Njengoba washo lokhu, wayezokwenza njalo. Lokhu uhlelo Lwakhe, ngoba uyiNkosi eyadala amazulu nomhlaba nezinto zonke, futhi unguNkulunkulu wakho konke okudaliwe. Akunandaba ukuthi usebenza nama-Israyeli noma eJudiya yonke, umsebenzi awenzayo ngumsebenzi womhlaba jikelele nomsebenzi wesintu sonke. Umsebenzi awenzayo namhlanje esizweni sadrago omkhulu obomvu—esizweni Sabezizwe—kusewumsebenzi wesintu sonke. U-Israyeli angaba isisekelo somsebenzi Wakhe emhlabeni; ngokunjalo iShayina ingaba isisekelo somsebenzi Wakhe phakathi kwezizwe Zabezizwe. Akazange manje asigcwalise isiprofetho esithi “igama likaJehova liyoba likhulu ezizweni Zabezizwe”? Isinyathelo sokuqala somsebenzi Wakhe phakathi kwezizwe Zabezizwe siphathelene nalo msebenzi awenzayo esizweni sadrago omkhulu obomvu. Ukuthi uNkulunkulu ethathe isimo sesintu uyasebenza kuleli zwe nokuthi asebenze phakathi kwabantu abaqalekisiwe kuyashayisana esikakhulukazi nemibono yabantu; labantu abaphansi kunabo bonke futhi abanaso isigqi nhlobo. Bonke laba abantu uNkulunkulu ayebalahlile phambilini. Abantu bangalahlwa abanye abantu, kodwa uma belahlwe nguNkulunkulu, laba bantu ngeke babe nasikhundla, futhi bayoba nesigqi esincane kakhulu. Njengengxenye yokudaliwe, ukuphathwa uSathane noma ukulahlwa ngabanye abantu izinto ezibuhlungu zombili, kodwa uma ingxenye yokudaliwe ilahlwe iNkosi yokudaliwe, lokhu kusho ukuthi isikhundla sayo siphansi ngokuphelele. Inzalo kaMowabi yayiqalekisiwe, futhi bazalwa kuleli lizwe eliphansi; akungabazeki, inzalo kaMowabi abantu abanesikhundla esiphansi ngokweqile esingaphansi kwamandla obumnyama. Ngenxa yokuthi laba bantu babenesikhundla esiphansi kakhulu phambilini, umsebenzi owenziwa phakathi kwabo ukwazi kakhulu ukuchitha imibono yabantu, futhi umsebenzi owusizo kakhulu ohlelweni Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha isiyonke. Ukuthi Yena asebenze phakathi kwalaba bantu yisenzo esingakwazi ukuchitha imibono yabantu; ngalokhu wethula inkathi; ngalokhu uchitha yonke imibono yabantu; ngalokhu uqeda umsebenzi weNkathi Yomusa isiyonke. Umsebenzi Wakhe wokuqala wenziwa eJudiya, ngaphakathi kwesilinganiso sakwa-Israyeli; ezizweni Zabezizwe akazange enze umsebenzi wokwethula-inkathi nhlobo. Isigaba sokugcina somsebenzi Wakhe asenziwa phakathi kwabantu bezizwe Zabezizwe kuphela, kodwa nangaphezu kwalokho, senziwa phakathi kwalabo bantu abaqalekisiwe. Leli phuzu lodwa lingubufakazi obungamhlaza kakhulu uSathane; ngakho, uNkulunkulu “uphenduka” uNkulunkulu wakho konke okudaliwe emhlabeni jikelele futhi uphenduka iNkosi yezinto zonke, lokho okukhonzwayo yiyo yonke into enokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 207)

Kusekhona abantu njengamanje abangaqondi ukuthi onjani umsebenzi omusha uNkulunkulu awethulile. UNkulunkulu wenze isiqalo esisha ezizweni Zabezizwe futhi useqale enye inkathi futhi wethula umsebenzi omusha, futhi usebenza phakathi kwenzalo kaMowabi. Akuwona umsebenzi wakhe omusha sha? Akekho ezinkathini zonke oke wadlula kulo msebenzi, futhi akekho owake wezwa ngawo, kungasaphathwa ukuwuthakasela. Ubuhlakani bukaNkulunkulu, ukumangalisa kukaNkulunkulu, ukungaqondakali kukaNkulunkulu, ubukhulu bukaNkulunkulu, ubungcwele bukaNkulunkulu buthembele kulesi sigaba somsebenzi ezinsukwini zokugcina, ukuze kuvele kucace. Akuwona umsebenzi omusha ochitha imibono yabantu? Kusekhona labo abacabanga ukuthi: “Njengoba uNkulunkulu aqalekisa uMowabi futhi wathi wayezoyilahla inzalo kaMowabi, angabasindisa kanjani manje?” Bayilabo bantu ababeqalekisiwe ezizweni Zabezizwe futhi bakhishwa ku-Israyeli; ama-Israyeli ayebabiza “ngezinja Zabezizwe.” Ngokubuka kwabo bonke abantu, abazona nje izinja Zabezizwe, kodwa babi ngokwedlulele, amadodana okulahlwa; ngamanye amazwi, ababona abantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo. Nakuba ekuqaleni babezalwe ohlelweni lakwa-Israyeli, abayona ingxenye yabantu bakwa-Israyeli; baxoshelwa ezizweni Zabezizwe. Bangabantu abaphansi kunabo bonke. Yingoba impela bangabaphansi kunabo bonke phakathi kwesintu uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe wokwethula inkathi entsha phakathi kwaso ngenxa yokuthi bamele isintu esonakalisiwe. Umsebenzi kaNkulunkulu awunakho ukungakhethi noma inhloso, umsebenzi awenza phakathi kwalaba bantu namuhla ngumsebenzi awenzayo futhi phakathi kokudaliwe. UNowa wabe eyingxenye yokudaliwe, njengenzalo yakhe. Noma imuphi umuntu emhlabeni onenyama negazi uyingxenye yokudaliwe. Umsebenzi kaNkulunkulu uqondiswe kukho konke okudaliwe sekukonke; awenziwa ngokuthi umuntu ubeqalekisiwe yini emuva kokudalwa. Umsebenzi Wakhe wokuphatha uqondiswe kukho konke okudaliwe, hhayi labo bantu abakhethiwe abangazange baqalekiswe. Njengoba uNkulunkulu efisa ukwenza umsebenzi Wakhe phakathi kwezidalwa Zakhe, ngokuqinisekileyo, uzowenza uze uphethwe ngempumelelo; uzosebenza phakathi kwalaba bantu abawusizo emsebenzini Wakhe. Ngakho, uchitha wonke amasiko ekusebenzeni phakathi kwabantu; Kuye amagama “qalekisiwe”, “soliwe” kanye “busisiwe” akasho lutho! AmaJuda alungile impela, nabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abababi futhi; bangabantu abanezinga nobuntu obuhle. UJehova ekuqaleni wayethule umsebenzi wakhe phakathi kwabo futhi wenza umsebenzi Wakhe wokuqala, kodwa bekuzoba yize uma Ubengabasebenzisa njengabamukeli bomsebenzi Wakhe wokunqoba manje. Nakuba beyingxenye yokudaliwe futhi benezingxenye ezinhle eziningi, bekuyoba yize ukwenza lesi sigaba somsebenzi phakathi kwabo. Ubengeke akwazi ukunqoba muntu futhi ubengeke akwazi ukukholisa konke okudaliwe. Lokhu ukubaluleka kokudlulisela umsebenzi Wakhe kula bantu besizwe sadrago omkhulu obomvu. Incazelo ejulile lapha isekuthulweni kwenkathi, ekuchitheni Kwakhe yonke imigomo nemicabango yabantu kanye nokuphetha Kwakhe iNkathi Yomusa isiyonke. Uma umsebenzi wakhe wamanje ubuwenziwa phakathi kwama-Israyeli, ngesikhathi uhlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luphela, bonke abantu babezokholwa ukuthi uNkulunkulu nguNkulunkulu wabakwa-Israyeli bodwa, nokuthi ama-Israyeli kuphela abantu baNkulunkulu abakhethiweyo, nokuthi ama-Israyeli kuphela afanelekile ukudla ifa lesibusiso nesithembiso sikaNkulunkulu. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu uthathe isimo sesintu esizweni Sabezizwe sadrago omkhulu obomvu; usewenzile umsebenzi kaNkulunkulu njengoNkulunkulu wokudaliwe; usewuqedile wonke umsebenzi Wakhe wokuphatha, futhi uzoqeda ingxenye ephakathi nendawo yomsebenzi Wakhe esizweni sadrago omkhulu obomvu. Ingqikithi yalezi zigaba ezintathu zomsebenzi insindiso yomuntu—okungukuthi, ukwenza konke okudaliwe kukhonze iNkosi yokudaliwe. Ngakho, zonke izigaba zalo msebenzi zibalulekile; uNkulunkulu ngeke neze enze into engenayo ingqondo noma engabalulekile. Ngakulolu hlangothi, lwesigaba somsebenzi siphethe ukwethulwa kwenkathi nokuphethwa kwezinkathi ezimbili zangaphambilini; ngakolunye uhlangothi siphethe ukuchithwa kwemicabango yonke yabantu nazo zonke izindlela ezindala zokukholwa nolwazi lwabantu. Umsebenzi wezinkathi ezimbili zangaphambilini wenziwa ngokuhambisana nemibono yabantu ehlukene; lesi sigaba, nokho, siyayisusa imibono yabantu, ngokwenze njalo sinqoba isintu ngokuphelele. Ngokusebenzisa ukunqotshwa kwenzalo kaMowabi futhi nangokusebenzisa umsebenzi owenziwe phakathi kwenzalo kaMowabi, uNkulunkulu uzonqoba sonke isintu emhlabeni jikelele. Lokhu ukubaluleka okujule kakhulu kwale sigaba somsebenzi Wakhe, futhi yingxenye yalesi sigaba somsebenzi Wakhe esisemqoka kunazo zonke. Noma ngabe uyazi ukuthi isikhundla sakho siphansi, nokuthi unesigqi esiphansi, uzozizwa ukuthi uhlangane nento ejabulisa kakhulu: uthole njengefa isibusiso esikhulu, wathola isithembiso esikhulu, futhi ungawufeza lo msebenzi omkhulu kaNkulunkulu, futhi ungabona ubuso beqiniso bukaNkulunkulu, wazi isimo sikaNkulunkulu esiyimvelo, futhi wenze intando kaNkulunkulu. Izigaba ezimbili zangaphambilini zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwa kwa-Israyeli. Uma lesi sigaba somsebenzi wakhe ngezinsuku zokugcina ubuwenziwe phakathi kwama-Israyeli namanje, konke okudaliwe kwakungeke kukholwe kuphela ukuthi ama-Israyeli yiwo wodwa abantu baNkulunkulu abakhethiweyo, kodwa uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lulonke nalo belungeke lufeze umphumelo ohlosiwe. Ngesikhathi izigaba ezimbili zomsebenzi Wakhe zazenziwa kwa-Israyeli, awukho umsebenzi omusha owake wenziwa futhi awukho umsebenzi kaNkulunkulu wokwethula inkathi owake wenziwa ezizweni Zabezizwe. Lesi sigaba somsebenzi wokwethula inkathi wenziwa okokuqala ezizweni Zabezizwe, futhi, ngaphezu kwalokho, wenziwa okukuqala phakathi kwenzalo kaMowabi; lokhu sekuthule inkathi entsha yonke. UNkulunkulu usechithe noma iluphi ulwazi olusemibonweni yabantu futhi akasavumanga ukuthi nanoma iluphi luqhubeke lube khona. Emsebenzini Wakhe usechithile imibono yabantu, nezindlela ezindala zangaphambilini zolwazi lwabantu. Uvumela abantu ukuthi babone ukuthi kuNkulunkulu ayikho imigomo, ukuthi ayikho into endala ngoNkulunkulu, ukuthi umsebenzi awenzayo ukhululekile ngokuphelele, uvuleleke ngokuphelele, ukuthi uneqiniso kunoma yini ayenzayo. Kufanele uthobele yonke into ayenzayo phakathi kokudaliwe. Noma imuphi umsebenzi awenzayo unomqondo futhi wenziwa ngokuhambisana nendlela Yakhe uqobo yokubuka nobuhlakani hhayi ngokuhambisana nokukhetha nokucabanga kwabantu. Wenza lezo zinto eziwusizo emsebenzini Wakhe; uma into ingelona usizo emsebenzini Wakhe ngeke ayenze, noma ngabe ilunge kangakanani! Usebenza futhi akhethe umemukeli nendawo yomsebenzi Wakhe ngokuhambisana nomqondo nenhloso yomsebenzi Wakhe. Akabambeleli emigomweni edlule, futhi akalandeli amafomula amadala; kunalokho uhlela umsebenzi Wakhe ngokuhambisana nokubaluleka komsebenzi; ekugcineni ufuna ukuthola umphumela wawo wangempela kanye nenhloso ebhekiwe. Uma ungaziqondi lezi zinto manje, lo msebenzi ngeke ube namphumela kuwe.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 208)

Zinkulu kangakanani iziphazamiso emsebenzini kaNkulunkulu? Ingabe kukhona owaziyo? Kubantu ababanjwe yizinkolelo-ze ezijulile ezahlukahlukene, ubani ongakwazi ukwazi ubuso bangempela bukaNkulunkulu? Ngalolu lwazi lwesiko lasemuva oluncane kangaka futhi olungaqondakali, kungenzeka kanjani ukuba baqonde ngokugcwele amazwi akhulunywe uNkulunkulu? Ngisho noma ekhulunywa ubuso nobuso kubo, futhi bondliwa umlomo ngomlomo, bangawaqonda kanjani? Ngezinye izikhathi kuba sengathi amazwi kaNkulunkulu awele ezindlebeni ezingezwa: Abantu abanakho nokuncane ukusabela, banikina amakhanda futhi bangaqondi lutho. Kungenzeka kanjani ukuthi lokhu kungakhathazi? Lokhu “kungumlando wakudala,[1] wesiko lasendulo kanye nolwazi lwesiko” okhulise leli qembu labantu abangelutho. Leli siko lasendulo—ifa eliyigugu—liyinqwaba yemfucumfucu! Kudala laba yihlazo elingapheli, futhi akudingi nokuba kukhulunywe ngalo! Kufundise abantu amaqhinga kanye namacebo okumelana noNkulunkulu, futhi “nokuqondisa okuhlelekile, okuthambile”[2] kwemfundo kazwelonke kwenze abantu bangamlalela kakhulu uNkulunkulu. Ingxenye ngayinye yomsebenzi kaNkulunkulu inzima kakhulu, futhi isinyathelo ngasinye somsebenzi Wakhe emhlabeni besibanga usizi kuNkulunkulu. Yeka indlela onzima ngayo umsebenzi Wakhe emhlabeni! Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni zihlanganisa ubunzima obukhulu: UNkulunkulu wenza izinhlelo ezinhle kakhulu futhi ucabanga ngokujulile mayelana nobuthaka bomuntu, ukuntula, ubungane, ukungazi, nakho konke okomuntu. Umuntu ufana nengwe esephepheni okungekho muntu olokotha ayicasule; ngokuthinta nje kancane iyamluma, noma iwe, futhi kunjengokungathi ngokunganaki nje okuncane, kuphinde kusuke lokho, angamnaki uNkulunkulu, noma agijimele ezingulubeni zakhe nasezinjeni zabazali ukuze azitike ngezinto ezingcolile zemizimba yabo. Lokho kuyisithikamezo esikhulu! Kuzo zonke izigaba zomsebenzi Wakhe, uNkulunkulu uyalingwa, futhi kuso sonke isinyathelo uNkulunkulu ulengela engozini enkulu. Amazwi Akhe aqotho futhi athembekile, awakhohlisi, kodwa ubani ozimisele ukuwamukela? Ubani ozimisele ukuzithoba ngokugcwele kuwo? Aphula inhliziyo kaNkulunkulu. Umuntu umbekezelela ubusuku nemini, uhlale ekhungethwe usizi lokuphila komuntu, uyazwelana nobuthaka bomuntu. Ubekezelele izimbaxa eziningi wenza isigaba ngasinye somsebenzi Wakhe, ngenxa yawo wonke amazwi awakhulumayo; uhlale ephakathi kwedwala nendawo eqinile, ucabanga ngobuthaka bomuntu, ukungalaleli, ubungane, izinto achayeke kuzo … njalo nje. Ubani owake wakwazi lokhu? Ubani angathulula kuye isifuba Sakhe? Ubani oyokwazi ukuqonda? Uyohlale ezizonda lezi zono zomuntu, nokungabi nasisekelo, into ewumgogodla yomuntu, futhi akalokothi akhathazeke ngokuchayeka komuntu, unaka indlela ehlalele umuntu ngaphambili; ngaso sonke isikhathi lapho ebona amazwi nezenzo zomuntu, ingabe uba nomusa, nentukuthelo, futhi njalo lapho ebona lezi zinto uzwa ubuhlungu enhliziyweni Yakhe. Ngakolunye uhlangothi, abamsulwa nabo sebendikindiki; kungani uNkulunkulu kumele ehlale enza izinto zibe nzima kubo? Umuntu obuthaka njalo akakwazi ukubekezela; kungani uNkulunkulu kufanele ahlale emthukuthelele? Umuntu obuthaka nongenamandla akasenalutho olubalulekile kuye; kungani uNkulunkulu kufanele ahlale emjezisela ukungalaleli kwakhe? Ubani ongamelana nezinsongo zikaNkulunkulu osezulwini? Umuntu ngakolunye uhlangothi ubuthaka, futhi entekenteke kanjalo uNkulunkulu ufake intukuthelo Yakhe yajula enhliziyweni Yakhe, ukuze umuntu asimame kancane. Kodwa umuntu, obhekene nethuna, akayazisi nakancane intando kaNkulunkulu; uhlale ethuthumeliswa inkosi endala yodeveli, noma kunjalo akaboni lutho, uhlale emelana noNkulunkulu, akashisi futhi akabandi kuNkulunkulu. UNkulunkulu ukhulume amazwi amaningi, kodwa ubani oke wawathatha njengabalulekile? Umuntu akawaqondi amazwi kaNkulunkulu, kodwa uhlale ezolile, ngaphandle kokulangazela, futhi akakaze asazi ngempela isiqu sikadeveli omdala. Abantu baphila eHayidesi, esihogweni, kodwa bacabanga ukuthi baphila esigodlweni esisogwini lolwandle; bashushiswa udrako omkhulu obomvu, kodwa bacabanga ukuthi bayathandwa[3] yizwe; bakhohliswa udeveli kodwa bacabanga ukuthi bajabulela injabulo yesikhashana yenyama. Bayiqeqebana elingcolile, abantukazana abaphansi! Umuntu uhlangabezane namashwa, kodwa akazi futhi kulo mphakathi onesinyama, ubhekana neshwa emva kwelinye,[4] kodwa lutho ukuvuka emaqandeni. Uyoyeka nini ukuzicabangela nokuba nomhobholo? Kungani engenandaba nenhliziyo kaNkulunkulu? Ingabe ubugqugquzela buthule ubunzima nokucindezelwa? Ingabe akalufisi usuku lapho angashintsha khona ubumnyama bube ukukhanya? Ingabe akafisi ukuphinde abuyise ubulungiswa ekulungeni naseqinisweni? Ingabe uzimisele ukubukela angenzi lutho lapho abantu beshiya iqiniso futhi belisonta? Ingabe kuyamjabulisa ukuqhubeka ebekezelela lokhu kungaphathwa kahle? Ingabe uzimisele ukuba isigqila? Ingabe uzimisele ukushabalala ezandleni zikaNkulunkulu kanye nezigqila zalesi simo sokwehluleka? Siphi isinqumo sakho? Siphi isifiso sakho? Siphi isithunzi zakho? Buphi ubuqotho bakho? Ikuphi inkululeko yakho? Ingabe uzimisele ukunikela ngokuphila kwakho[5] konke kudrako omkhulu obomvu, inkosi yodeveli? Ingabe kuyakujabulisa ukuthi uyokuhlukumeza uze ufe? Ingaphandle liyaxokozela futhi limnyama, linabantu abajwayelekile, abahluphekayo, abakhala Ezulwini futhi bakhononda emhlabeni. Umuntu uyokwazi nini ukuphakamisa ikhanda lakhe? Umuntu uzacile futhi wondile, angakwazi kanjani ukulwa nalesi sikhohlakali sikadeveli? Kungani enganikeli ngokuphila kwakhe kuNkulunkulu ngokushesha lapho esekwazi? Kungani esashalaza, lapho engakwazi ukuqedela umsebenzi kaNkulunkulu? Ngakho uyaxhashazwa futhi acindezelwe enganakile, ekugcineni ukuphila kwakhe konke kuphelela ezeni; kungani ejahe kangaka ukufika, futhi ephuthuma kangaka ukuhamba? Kungani engagcini okuthile okuyigugu azokunika uNkulunkulu? Ingabe useyikhohliwe inzondo yeminyaka eyizinkulungwane?

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Nokungena (8)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

1. “Wakudala” kusetshenziselwa ukuhlekisa.

2. “Ukuqondisa okuhlelekile, okuthambile” kusetshenziswa ngokubhuqa.

3. “Bayathandwa” kusetshenziselwa ukuhlekisa ngabantu ababonakala bebuthuntu futhi bengenalo ulwazi lokuzihlola.

4. “Ishwa emva kwelinye” kubonisa ukuthi abantu bazalwa ezweni likadrako omkhulu obomvu, futhi abakwazi ukuphakamisela amakhanda abo phezulu.

5. “Ukunikela ngakho konke ukuphila kwakho” kushiwo ngomqondo wokwedelela.

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 209)

Indlela yanamuhla akulula ukuyihamba. Omunye angathi kunzima ukufinyelela kuyona futhi akujwayelekile eminyakeni yonke. Noma kunjalo, ubani obengacabanga ukuthi inyama yomuntu yodwa beyanele ukuba imcekele phansi? Umsebenzi wanamuhla ngempela uyigugu njengemvula yasentwasahlobo, futhi ubaluleke njengomusa kaNkulunkulu kumuntu. Noma kunjalo, uma umuntu engayazi inhloso yomsebenzi waKhe nanamuhla noma engaqondi umongo womuntu, pho kungakhulunywa kanjani ngobugugu nokubaluleka kwawo? Inyama ayiyona eyabantu, ngakho akekho okwazi ukubona ukuthi iphokophelela ukuya kuphi. Noma kunjalo, kufanele wazi kamhlophe ukuthi uNkulunkulu wendalo uzobuyisela umuntu, owadalwa, ezingeni lakhe ayebekwe kulona, aphinde ahlumelelise umfanekiso wabo abantu kulowo wokuqala kusukela ngesikhathi sendalo yabo. Uzobuyisela ngokuphelele umoya awuphefumulela kumuntu, abuyisele amathambo nenyama yakhe akubuyisele konke kuNkulunkulu wendalo. Uzoguqula ngokuphelele ahlumelelise umuntu, amuke umuntu lonke ifa elalingelona elomuntu, kodwa okwakungelikaNkulunkulu. Ngeke esaphinde alinikeze umuntu. Ngoba ayikho neyodwa yalezo zinto ekuqaleni eyayingeyomuntu. Uzobuyisela emuva konke—lokhu akukona ukuphanga okungenabulungiswa, kodwa kuhloswe ngako ukuhlumelelisa izulu nomhlaba kubuyele esimweni okwakuyiso ekuqaleni, kanye nokuqugula nokuhlumelelisa umuntu. Lena yindawo efanele umuntu aqonde kuyona, yize noma mhlawumbe kungekona ukuthatha emva kokuthethisa inyama njengoba abantu becabanga. UNkulunkulu akafuni izinsalela zenyama emva kokubhujiswa kwayo, kodwa izakhi zomuntu zokuqala okwakungezikaNkulunkulu kwasekuqaleni. Yingakho, uNkulunkulu engeke ashabalalise isintu sonke noma abhubhise inyama yomuntu yonke, ngoba phela inyama yomuntu akuyona eyakhe. Kodwa, iyisinezezelo sikaNkulunkulu, owengamele isintu. Pho angashabalalisa kanjani inyama yomuntu ukuze Yena “akuthokozelele” lokhu? Ngalesi sikhathi, ingabe usuyekelele konke kwenyama yakho okungelinganiswe ngisho nanesenti elilodwa? Uma ungaqonda amaphesenti angamashumi amathathu omsebenzi wezinsuku zokugcina (amaphesenti angamashumi amathathu nje kuphela, okuchaza, ukuqonda umsebenzi kaMoya oNgcwele namuhla, kanjalo nomsebenzi wezwi uNkulunkulu awenzayo ezinsukwini zokugcina), lapho-ke ngeke uqhubeke “nokusebenzela” noma “nokuthobela” inyama yakho njengoba wenza namuhla, eseyibe ngengcolile iminyaka eminingi. Kudingeka uqondisise ngokugcwele ukuthi abantu manje sebedlulele ezingeni elingalawuleki futhi ngeke basaqhubeka nokuya phambili njengamasondo omlando. Inyama yakho eyonakele kade yembozwa yizimpukane, pho ingaba namandla kanjani okujika amasondo omlando uNkulunkulu awenze ukuba aqhubeke kuze kube yinamuhla? Ingenza kanjani iwashi lezinsuku zokugcina elifana nokuhamba kwewashi okungenamsindo liphinde liqhubeke nokuhambisa izinti zalo njengokwenjwayelo? Ingaguqula kanjani umhlaba okubukeka udidekile enkungwini enamandla? Inyama yakho ingavuselela izintaba nemifula? Ingabe inyama yakho, ekwazi nje ukwenza umsebenzana ongatheni, ngempela ingavuselela uhlobo lomhlaba wabantu oseloku wawuwulangazelele? Ngempela ungafundisa izizukulwane zakho zibe “ngabantu”? Usuyezwa-ke manje? Ingabe ngempela inyama yakho ingekabani? Inhloso yokuqala kaNkulunkulu yokusindisa umuntu, yokuphelelisa umuntu, kanye nokushintsha umuntu kwakungekona ukumnikeza ikhaya elihle noma ukuletha ukuphumula okunokuthula enyameni yomuntu. Kunalokho, kwakungenxa yodumo lwaKhe kanye nobufakazi baKhe, kwakungokwentokozo yomuntu esikhathini esizayo, futhi ukuze athokozele ukuphumula kungekudala. Noma kunjalo, akuyona inyama yakho, ngoba umuntu uyinhloko yokulawula kukaNkulunkulu kanti inyama yomuntu yisinezezelo saKhe. (Umuntu uyinto enomphefumulo nomzimba, kanti inyama iyinto nje ebolayo. Lokhu kusho ukuthi inyama iyithuluzi lecebo lokulawula.) Kudingeka wazi ukuthi ukuphelelisa umuntu kukaNkulunkulu, ukuqedela umuntu, kanye nokuzuza umuntu akulethanga lutho ngaphandle kwenkemba nokushaywa enyameni yabo, kwaletha futhi ukuhlupheka okungenamkhawulo, ukuvutha komlilo, ukwahlulelwa okungenamusa, ukujeziswa, nesiqalekiso, kanjalo nezilingo ezingapheli. Injalo ke indaba neqiniso lomsebenzi wokulawula umuntu. Noma kunjalo, zonke lezi zinto zibhekiswe enyameni yomuntu, futhi konke ukuhlasela kwemikhonto kubhekiswe enyameni yomuntu (ngoba ekuqaleni umuntu wayemsulwa). Konke lokho kungenxa kodumo lwaKhe nobufakazi, kanye nokulawula kwaKhe. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi waKhe inhloso yawo akuyona nje eyomuntu, kodwa eyecebo lonke kanye nokugcwaliseka kwentando yaKhe yokuqala ngenkathi edala umuntu. Ngakho-ke, mhlawumbe ingxenye engamaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye abantu ababhekana nayo ukuhlupheka nezilingo, futhi zimbalwa kakhulu noma azikho izinsuku ezimnandi nezenjabulo umuntu alokhu ekade ezilangazelela, futhi ziningi nakakhulu izikhathi ezimnandi ezingathokozeleki enyameni kuchithwa izikhathi ezinhle noNkulunkulu. Inyama ingcolile, ngakho lokho inyama yomuntu ekubonayo noma ekuthokozelayo akulutho ngaphandle kokusola kukaNkulunkulu, okuyinto engathandeki kumuntu, kube sengathi intula umqondo ojwayelekile. Lokhu kungenxa yokuthi uzoveza isimo saKhe sokulunga esingathandwa umuntu, akabekezeleli iziphosiso zomuntu, futhi uyenyanya izitha. UNkulunkulu usiveze ngokusobala sonke isimo saKhe nganoma yiziphi izindlela ezifanele, ngaleyo ndlela wawuphetha umsebenzi waKhe wempi yaKhe noSathane yeminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha—umsebenzi wosindiso lwawo wonke umuntu kanye nokubhujiswa kukaSathane wasemandulo!

Kucashunwe embhalweni othi “Inhloso Yokwengamela Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 210)

Izinsuku zokugcina sezifikile futhi amazwe emhlabeni wonke asesiphithiphithini. Kunokwehlukana kwezepolitiki, kukhona indlala, izifo, izikhukhula nezomiso okuvela ndawo zonke. Kunembedumehlwana emhlabeni wabantu; iZulu nalo lehlise inhlekelele. Lezi yizimpawu zezinsuku zokugcina. Kepha kubantu, kubukeka njengomhlaba wenjabulo nobukhazikhazi, lowo okhula unjalo kakhulu. Izinhliziyo zabantu zonke zidonsekela kuwo, futhi abaningi babambekile futhi abakwazi ukuzikhipha kuwo; abaningi elikhulu lizokhohliswa yilabo abazibandakanya nobuqili nobuthakathi. Uma ungaphokopheleli inqubekela phambili, ungenamibono, futhi ungagxilile endleleni eyiqiniso, uzothathwa ngamagagasi agubhayo esono. IShayina yizwe elisesemuva kakhulu kunawo wonke amazwe; yindawo lapho udrako omkhulu obomvu ehlala ezigoqe khona, inabantu abaningi abakhonza izithixo nabathakathayo, amathempeli amaningi, futhi yindawo lapho amadimoni angcolile ahlala khona. Uzalwe yiwo, ufundiswe yiwo futhi ugxile ethonyeni lawo; ukhohlakaliswe wahlushwa yiwo, kepha ngemva kokuvuswa uyawufulathela bese uzuzwa uNkulunkulu ngokuphelele. Lokhu yinkazimulo kaNkulunkulu, futhi kungakho lesi sigaba somsebenzi sibaluleke kakhulu. UNkulunkulu wenze umsebenzi onesisindo esikhulu, wakhuluma amazwi amaningi kakhulu, futhi uzogcina esenizuze ngokuphelele—le yingxenye yomsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu, futhi “kuyimihlomulo yabanqobi” bempi kaNkulunkulu noSathane. Lapho niliqonda ngokwengeziwe iqiniso futhi iba ngcono impilo yenu yebandla, udrako omkhulu obomvu unqotshwa ngokwengeziwe. Zonke lezi yizindaba zomhlaba womoya—yizimpi zomhlaba womoya, futhi ngesikhathi uNkulunkulu enqoba, uSathane uzohlazeka awele phansi. Lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu sibaluleke kakhulu. UNkulunkulu wenza umsebenzi osezingeni eliphezulu kangaka futhi usindisa ngokuphelele leli qembu labantu ukuze niphunyuke ethonyeni likaSathane, nihlale ezweni elingcwele, nihlale ekukhanyeni kukaNkulunkulu, futhi nibe nobuholi nokuqondisa kokukhanya. Khona-ke ukuphila kwenu kunikeza umqondo. Enikudlayo nenikwembathayo kwehlukile kokwabangakholwa; nithokozela amazwi kaNkulunkulu futhi niphila impilo enomqondo—futhi bona bathokozelani? Bathokozela kuphela “ifa lokhokho babo” “nomoya wabo kazwelonke.” Abanayo nencane inswebu yobuntu! Izingubo zenu, amazwi nezenzo kwehluke kakhulu kunokwabo. Ekugcineni, nizokushiya ngokuphelele ukungcola, ningabe nisathiyeka ekulingweni uSathane, futhi nizuze imihlinzeko yansuku zonke kaNkulunkulu. Kumele nihlale niqaphile. Nakuba nihlala endaweni engcolile, aningcolisiwe ukungcola futhi ningaphila eduze kukaNkulunkulu, nithole isivikelo Sakhe esikhulu. UNkulunkulu unikhethe phakathi kwabo bonke kule lizwe eliphuzi. Ingabe anibona abantu ababusisekile kakhulu? Ungumuntu odaliwe—kumele nakanjani ukhonze uNkulunkulu futhi uphishekele ukuphila okunenjongo. Uma ungamkhonzi uNkulunkulu futhi uphila enyameni engcolile, ingabe awusona isilwane sasendle esigqoke njengomuntu? Njengomuntu, kumele uzikhandlele uNkulunkulu futhi ubekezelele konke ukuhlupheka. Kumele ukujabulele futhi ukwamukele ngenjabulo ukuhlupheka okuncane obhekene nakho namuhla futhi uphile ukuphila okunenjongo, njengoJobe noPetru. Kuleli zwe, umuntu ugqoka izingubo zikaSathane, adle ukudla akunikezwa uSathane, futhi usebenzela abuye akhonze ngaphansi kokuqondisa kukadeveli, enyathelwa ngokuphelele ekungcoleni kwakhe. Uma ungayibambi injongo yokuphila noma uthole indlela eyiqiniso, kubaluleke ngani ukuphila kanje? Nonke ningabantu abafuna indlela elungile, abafuna intuthuko. Ningabantu abavuka bame esizweni sikadrako omkhulu obomvu, labo uNkulunkulu ababiza ngokuthi balungile. Ingabe lokho akukhona ukuphila okunenjongo enkulu?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 211)

Namuhla, umsebenzi engiwenzayo kini uqonde ukuniholela ekuphileni kobuntu obuvamile; ngumsebenzi wokungenisa inkathi entsha nokuholela isintu ekuphileni kwenkathi entsha. Isinyathelo ngesinyanthelo, lo msebenzi wenziwa futhi ukhuliswe kinina ngokuqondile: Nginifundisa ubuso nobuso; nginihola ngesandla; nginitshela konke eningakuqondi, ngininika konke enikusweleyo. Kungashiwo ukuthi, ngokwenu, wonke lo msebenzi uwumphako wenu wokuphila, futhi uniqondisa ekuphileni kobuntu obuvamile; uqondiswe ekuthini unondlele ukuphila kwaleli qembu labantu ngezinsuku zokugcina. Ngokwami, wonke lo msebenzi wenzelwe ukuthi uphethe inkathi endala bese ungenisa entsha; mayelana noSathane, ngibe yinyama ukuze ngimnqobe kuphela. Umsebenzi engiwenza phakathi kwenu manje ngowokunisimamisa namuhla nokunisindisa kusenesikhathi, kodwa kule minyaka embalwa emifushane, ngizonitshela wonke amaqiniso, yonke indlela yokuphila, ngisho nangomsebenzi wesikhathi esizayo; lokhu kuyokwanela ukunenza nibone izinto ngendlela evamile esikhathini esizayo. Konke engininike khona amazwi Ami kuphela. Anginxusi lutho olunye; namuhla, onke amazwi engiwakhuluma kini awokuninxusa, ngoba namuhla aninalwazi ngamazwi amaningi engiwakhulumayo, futhi aniyiqondi incazelo yawo efihlakele. Ngelinye ilanga, enihlangana nakho kuyoba nempumelelo njengoba nje ngishilo namuhla. La mazwi ayimibono yenu yanamuhla, futhi ayilokho eniyoncika kukho esikhathini esizayo; ayisondlo sokuphila namuhla nokunxusela isikhathi esizayo, futhi akukho ukunxusa okungcono kunalokhu. Lokhu kungenxa yokuthi isikhathi okufanele ngisisebenze emhlabeni asiside njengesikhathi eninaso sokuhlangana namazwi Ami; ngiqeda umsebenzi Wami nje, kanti nina niphishekela ukuphila, okuyinqubo efaka uhambo olude ekuphileni. Niyokwazi ukuzuza indlela yokuphila kuphela emva kokuhlangana nezinto eziningi; kungaleyo nkathi lapho niyokwazi khona ukuqonda incazelo efihlakele yamazwi engiwakhuluma namuhla. Lapho seniphethe amazwi Ami, lapho lowo nalowo kini esamukele umsebenzi engimthuma wona, lapho senginithume wonke umsebenzi okufanele nginithume wona, nalapho umsebenzi wamazwi usufinyelele ekugcineni, kungakhathaleki ukuthi kutholakale umphumela omkhulu kangakanani, khona-ke ukwenziwa kwentando kaNkulunkulu nakho kuyobe sekufezekile. Akunjengokuba ucabanga, ukuthi kufanele uguqulwe ngezinga elithile; uNkulunkulu akenzi ngokwemibono yakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 212)

Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu waba yinyama ukuze enze umsebenzi okwakufanele awenze nokwenza inkonzo Yakhe yamazwi. Weza mathupha ukuzosebenza phakathi kwabantu ngenhloso yokuphelelisa labo abahambisana nenhliziyo Yakhe. Kusukela esikhathini sokudala kuze kube namuhla, wenze lolu hlobo lomsebenzi kuphela ngezinsuku zokugcina. Kungezinsuku zokugcina kuphela lapho uNkulunkulu ebe senyameni khona ukuze enze umsebenzi omkhulu kangaka. Yize ebekezelela ubunzima abantu abangakuthola kunzima ukububekezelela, futhi nakuba enguNkulunkulu omkhulu namanje onokuthobeka okumenza akwazi ukuba ngumuntu ojwayelekile, akukho ngxenye yomsebenzi Wakhe ongenziwanga ngesikhathi, futhi uhlelo Lwakhe aluxovekile nakancane. Wenza umsebenzi ngokulandela uhlelo Lwakhe lwasekuqaleni. Enye yezinhloso zokuba senyameni ukunqoba abantu, enye ukuphelelisa abantu abathandayo. Ufisa ukubabona ngamehlo Akhe abantu abaphelelisayo, futhi ufuna ukuzibonela indlela abantu abaphelelisayo abamfakazela ngayo. Akuyena umuntu oyedwa noma ababili abapheleliswayo. Kodwa uphelelisa iqembu eliqukethe abantu abambalwa kuphela. Abantu abakuleli qembu bavela emazweni ahlukahlukene emhlabeni, futhi bavela ezizweni zomhlaba ezehlukahlukene. Inhloso yokwenza umsebenzi omkhulu kangaka ukuzuza leli qembu labantu, ukuzuza ubufakazi leli qembu labantu elinabo Ngaye, kanye nokuthola inkazimulo angayithola kulo. Akawenzi umsebenzi ongabalulekile, futhi akawenzi umsebenzi ongasizi ngalutho. Kungashiwo ukuthi ekwenzeni umsebenzi omningi kangaka, inhloso kaNkulunkulu ukuphelelisa labo afisa ukubaphelelisa. Esikhathini anaso ngaphandle kwalokhu, uzosusa labo ababi. Yazi ukuthi akawenzi lo msebenzi omkhulu ngenxa yalabo ababi; kunalokho, uzinikela ngakho konke ngenxa yalelo dlanzana elizopheleliswa Nguye. Umsebenzi awenzayo, amazwi awakhulumayo, izimfihlakalo azembulayo, kanye nokwahlulela Kwakhe nokusola Kwakhe konke ukwenza ngenxa yalelo dlanzana labantu. Akazange abe yinyama ngenxa yalabo ababi, futhi labo bantu ababi abavusi nolaka olukhulu Kuye. Ukhuluma iqiniso, akhulume ngokungena, ngenxa yalabo okumele bapheleliswe; waba yinyama ngenxa yabo, futhi unika izethembiso nezibusiso Zakhe ngenxa yabo. Iqiniso, ukungena, nokuphila ngobuntu akhuluma ngakho akungenxa yalabo bantu ababi. Ufuna ukugwema ukukhuluma nalabo ababi, esikhundleni salokho ufisa ukubanika onke amaqiniso labo abazopheleliswa. Kodwa umsebenzi Wakhe udinga ukuthi, okomzuzwana, labo ababi bavunyelwe bathokozele okunye kwengcebo Yakhe. Labo abangalenzi iqiniso, abangamenelisi uNkulunkulu, nabaphazamisa umsebenzi Wakhe bonke babi. Abanakupheleliswa, futhi uNkulunkulu uyabazonda futhi uyabalahla. Ngakolunye uhlangothi, abantu abenza iqiniso nabenelisa uNkulunkulu nabazinikela ngokuphelele emsebenzini kaNkulunkulu yibona abazopheleliswa uNkulunkulu. Kulabo uNkulunkulu afisa ukubaphelelisa abekho abanye ngaphandle kwaleli qembu labantu, kanti nomsebenzi uNkulunkulu awenzayo ungenxa yalaba bantu. Iqiniso akhuluma ngalo libhekiswe kubantu abazimisele ukulenza. Akakhulumi nabantu abangalenzi iqiniso. Ukwanda kolwazi nokukhula kokuqonda akhuluma ngakho kubhekiswe kubantu abakwaziyo ukwenza iqiniso. Uma ekhuluma ngalaba abazopheleliswa, ukhuluma ngalaba bantu. Umsebenzi kaMoya oNgcwele uqondiswe kubantu abazimisele ukwenza iqiniso. Izinto ezifana nokuba nobuhlakani nobuntu ziqondiswe kubantu abazimisele ukwenza iqiniso. Labo abangalenzi iqiniso bangase bezwe amazwi amaningi eqiniso, kodwa ngenxa yokuthi ngokwemvelo babi kakhulu futhi abanandaba neqiniso, lokho abakuqondayo yizimfundiso zenkolo namazwi kanye nemibono engenalutho kuphela, okungabalulekile nakancane ekungeneni kwabo ekuphileni. Akekho noyedwa kubo othembekile kuNkulunkulu; bonke bangabantu abambonayo uNkulunkulu kodwa abangeke bamthole; uNkulunkulu ubalahla bonke.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 213)

Inhloso esemqoka yomsebenzi wokunqoba, ukuhlanza isintu ukuze umuntu abe neqiniso, ngoba njengamanje umuntu uqonda iqiniso elincane kakhulu! Ukwenza umsebenzi wokunqoba kulaba bantu kunokubaluleka okukhulu kakhulu. Nonke niwele ngaphansi kokuqhutshwa ubumnyama nalimala kakhulu. Inhloso yalo msebenzi ukukusiza ukuthi wazi imvelo yomuntu bese ngaleyo ndlela uphile iqiniso. Ukupheleliswa yinto zonke izidalwa ezidaliwe okufanele ziyamukele. Uma umsebenzi walesi sigaba uphathelene nokuphelelisa abantu nje kuphela, ngakho ungenziwa eNgilandi, noma eMelika noma kwa-Israyeli; ungenziwa kubantu banoma isiphi isizwe. Kodwa umsebenzi wokunqoba uyakhetha. Isinyathelo sokuqala somsebenzi wokunqoba sithatha isikhathi esifishane; esikakhulukazi, sizosetshenziswa ukuhlambalaza uSathane futhi kunqotshwe umhlaba jikelele. Lowo umsebenzi wokuqala wokunqoba. Umuntu angathi nanoma isiphi isidalwa esikholelwa kuNkulunkulu singapheleliswa ngoba ukupheleliswa kuyinto umuntu angayizuza kuphela emuva koshintsho oluthathe isikhathi eside. Kodwa ukunqotshwa kuhlukile. Isibonelo nesifanekiso sokunqotshiwe kufanele kube osele emuva kunabo bonke, ophila ebumnyameni obunzulu, futhi olulazeke kunabo bonke, ongazimisele neze ukwemukela uNkulunkulu, futhi oyihlongandlebe kunabo bonke. Lolu uhlobo lomuntu ongafakazela ukuthi wanqotshwa. Inhloso esemqoka yomsebenzi wokunqoba ukwehlula uSathane. Inhloso esemqoka yokuphelelisa abantu, ngakolunye uhlangothi, ukuzuza abantu. Eyokwenza ukuthi abantu babe nobufakazi emuva kokunqotshwa bokuthi lo msebenzi wokunqoba ubekwe lapha, phezu kwabantu abanjengani. Laba bantu abanqotshiwe bazosetshenziswa ukufeza inhloso yokudumaza uSathane. Ngakho-ke, iyini indlela yokunqoba esemqoka? Ukujezisa, ukwahlulela, ukuqalekisa, nokwembula—ukusebenzisa isimo esilungile ukunqoba abantu ukuze bakholiseke ngenxa yesimo esilungile sikaNkulunkulu. Ukusebenzisa iqiniso lezwi kanye nokusebenzisa igunya lezwi, ukunqoba abantu nokubenza bakholwe ngokuphelele—lokhu kusho ukunqotshwa. Labo asebephelelisiwe abazuzi nje ukuthi bakwazi ukulalela emuva kokunqotshwa, kodwa bayakwazi nokuba nolwazi lomsebenzi wokwahlulela, bashintshe izimo zabo bese bazi uNkulunkulu. Bezwa indlela yokuthanda uNkulunkulu, baphinde bagcwaliswe ngeqiniso. Bayazi ukuthi bangawenza kanjani umsebenzi kaNkulunkulu, bayakwazi ukuhluphekela uNkulunkulu, banentando yabo ngokwabo. Abaphelelisiwe yilabo abanokuqonda kwangempela ngeqiniso ngenxa yokuthi sebeke bazizwela izwi likaNkulunkulu. Abanqotshiwe yilabo abaziyo ngeqiniso kodwa abakayemukeli incazelo yangempela yeqiniso.Emuva kokunqotshwa, bayalalela, kodwa ukulalela kwabo konke kungenxa yokwahlulelwa abakutholile. Abanakuqonda nhlobo ngencazelo yangempela yamaqiniso amaningi. Bayalamukela iqiniso ngomlomo kodwa abakalizwa iqiniso. Umsebenzi owenziwa kulabo abapheleliswayo uhlanganisa ukujeziswa nokwahlulelwa, kanye nokuphiwa impilo. Umuntu okwazisayo ukungena eqinisweni umuntu ozopheleliswa. Umehluko phakathi kwalabo asebephelelisiwe kanye nalabo abanqotshiwe usekutheni bayangena yini eqinisweni. Labo abaqonda iqiniso, bangena eqinisweni, futhi baphila iqiniso, bangabaphelelisiwe; labo abangaliqondi iqiniso, abangeni eqinisweni, okungukuthi, labo abangaliphili iqiniso, bangabantu abangeke bapheleliswe. Uma abantu abanjalo sebekwazi manje ukulalela ngokuphelele, ngakho-ke banqotshiwe. Uma labo abanqotshiwe bengalifuni iqiniso—uma belandela kodwa bengaliphili iqiniso, uma belibona futhi belizwa iqiniso kodwa bengakukhuthazi ukuliphila iqiniso—ngeke bapheleliswe. Labo abazopheleliswa benza iqiniso ngendlela yokupheleliswa, okusho ukuthi, benza iqiniso elitholakala endleleni yokupheleliswa. Ngalokhu, bafeza intando kaNkulunkulu futhi baphelelisiwe. Noma ubani olandelayo kuze kube sekugcineni ngaphambi kokuba umsebenzi wokunqoba uqedwe ungonqotshiwe, kodwa angeke kuthiwe ungophelelisiwe. Abaphelelisiwe kusho labo, okuthe, emuva kokuthi umsebenzi wokunqotshwa sewuphelile, bama baqina ekuhluphekeni futhi baliphila iqiniso. Okwenza umehluko phakathi kokunqotshwa nokupheleliswa umehluko ezinyathelweni zokusebenza nomehluko ezingeni abantu abaqonda nabangena ngalo eqinisweni. Bonke labo abangakayiqali indlela yokupheleliswa, okuchaza labo abangenalo iqiniso, bayochithwa ekugcineni. Yilabo kuphela abaneqiniso futhi abaphila iqiniso abangazuzwa ngokuphelele nguNkulunkulu. Okungukuthi, labo abaphila umfanekiso kaPetru bangabaphelelisiwe, lapho bonke abanye bengabanqotshiwe. Umsebenzi owenziwa kubo bonke labo abanqotshwayo, umane uhlanganisa ukuqalekisa, ukujezisa, ukukhombisa intukuthelo, kanti okuza kubona ukulunga neziqalekiso nje. Ukusebenza kumuntu onje ukwembula ngokusobala—ukwembula isimo esikhohlakele phakathi kuye ukuze asibone ngokwakhe futhi akholiseke. Uma umuntu eselalela ngokuphelele, umsebenzi wokunqoba uyaphela. Ngisho noma abantu abaningi bengazami ukuqonda iqiniso, umsebenzi wokunqoba uyobe usuphelile.

Kucashunwe embhalweni othi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 214)

UNkulunkulu umphelelisa kanjani umuntu? Siyini isimo sikaNkulunkulu? Futhi yini esesimweni Sakhe? Lokhu konke kumele kuqondwe; lokhu kusabalalisa igama likaNkulunkulu, kungubufakazi kuNkulunkulu, kuphakamisa uNkulunkulu, futhi umuntu ekugcineni uzobe esekwazi ukuthi athole ukushintsha isimo sakhe ngesisekelo sokwazi uNkulunkulu. Lokhu kulungiswa nokucwengwa umuntu adlula kukho, uba namandla amakhulu, nezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu ziba ziningi, umuntu naye upheleliswa ngokwengeziwe. Namuhla, ngokubonwe umuntu, isinyathelo ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu sibuyela emuva ekudalweni komuntu, futhi isinyathelo ngasinye awusoze wasicabanga ngobuhlakani bomuntu, futhi kungaphezulu kwalokho akulindele. UNkulunkulu unikeza konke umuntu akudingayo, futhi kuzo zonke izindlela lokhu kuphambene nombono wakhe, futhi uma ubuthakathaka, uNkulunkulu ukhuluma amazwi Akhe; kungale ndlela kuphela lapho engakunika khona ukuphila. Ngokuphindela emuva emibonweni yakho, uyakwazi ukwamukela okwenziwa uNkulunkulu, futhi kungale ndlela kuphela lapho ungaqeda khona inkohlakalo yenu. Namuhla, kahle hle uNkulunkulu osesimweni somuntu usebenza ngobunkulunkulu, kanti kokunye usebenza njengomuntu ojwayelekile. Akumele uphike nowodwa womsebenzi owenziwa nguNkulunkulu, futhi kumelwe ulalele noma yini eshiwo nguNkulunkulu noma akwenzayo njengomuntu ojwayelekile, nanoma ngabe ubukeka ejwayeleke kanjani, kumelwe ulalele futhi uqonde. Uma usubone kahle kulapho uzokwazi khona ngokuqinisekile ukuthi unguNkulunkulu, uyeke ukuba nemibono, ulandele Yena kuze kube sekupheleni. Kunokuhlakanipha emsebenzini kaNkulunkulu, futhi uyazi ukuthi umuntu angaba kanjani ufakazi Ngaye. Uyazi ukuthi umuntu ubuthakathaka kuphi, kanti namazwi awakhulumayo angakuthinta ezindaweni ezibuthakathaka, kodwa futhi usebenzisa ubukhulu Bakhe namazwi anokuhlakanipha ukuze akwenze ube ngufakazi Wakhe. Lezi yizimangaliso ezenziwa nguNkulunkulu. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu ingqondo yomuntu ayikwazi ukuwuqonda. Ukwahlulela kukaNkulunkulu kuveza izinhlobo zenkohlakalo umuntu wenyama anazo, nokuthi yiziphi izinto ezingumongo womuntu, kushiye umuntu ephelelwe amahlathi okucashela amahlazo akhe.

UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini. Ushintsho lwenzeka esimweni somuntu ngemisebenzi eyehlukene kaNkulunkulu; ngaphandle kwalolu shintsho esimweni somuntu, abantu ngeke bakwazi ukuba ngofakazi baNkulunkulu, futhi ngeke bayifune inhliziyo kaNkulunkulu. Ushintsho esimweni somuntu lukhombisa ukuthi abantu bazikhululile emaketangeni kaSathane, bazikhululile ekuthonyweni ngubumnyama, sebebe umfanekiso womsebenzi kaNkulunkulu, sebebe ngofakazi bakaNkulunkulu futhi bangabantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu osesimweni somuntu uze ukuzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi udinga ukuba abantu bamazi, bamlalele, babe ofakazi Bakhe—bazi umsebenzi Wakhe awenzayo nojwayelekile, balalele wonke amazwi Akhe nomsebenzi ongahambisani nemibono yomuntu, futhi babe ofakazi kuwo wonke umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu, nakho konke akwenzayo ukuze anqobe umutu. Labo abangofakazi baNkulunkulu kumele bamazi uNkulunkulu; yilolu hlobo kuphela lobufakazi obuqondile, nobuyiqiniso, futhi yilolu hlobo kuphela lobufakazi obungahlazisa uSathane. UNkulunkulu usebenzisa labo abamaze ngokwahlulelwa nokusolwa Nguye, wabasebenza futhi wabathena, ukuthi babe ngofakazi Bakhe. Usebenzisa labo abakhohlakaliswe nguSathane ukuba bafakaze Ngaye, futhi uphinde asebenzise labo abanesimo esiguqukile, nalabo abazuze izibusiso Zakhe, ukuba bafakaze Ngaye. Akadingi ukuba abantu bamdumise ngamazwi kuphela, futhi akadingi ukudunyiswa nobufakazi benzalo kaSathane, abangasindiswanga Nguye. Yilabo abazi uNkulunkulu kuphela abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, nalabo isimo sabo esiguqukile abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi uNkulunkulu angeke avume ukuthi abantu bahlambalaze igama Lakhe ngamabomu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 215)

Khumbula isiqephu eBhayibhelini lapho uNkulunkulu eletha imbubhiso eSodoma, futhi ucabange futhi ukuthi unkosikazi kaLoti waphenduka kanjani isiduli kasawoti. Cabanga emuva ukuthi abantu baseNineva baphenduka kanjani ezonweni zabo bembethe ingubo yamasaka nomlotha, futhi ukhumbule okwalandela emuva kokuthi amaJuda abethela uJesu esiphambanweni eminyakeni eyizi-2,000 eyedlule. AmaJuda axoshwa kwaIsrayeli futhi abalekela emazweni kuwo wonke umhlaba. Amaningi abulawa, futhi isizwe samaJuda sisonkana sabhekana nencithakalo engakaze ibonwe. Babebethele uNkulunkulu esiphambanweni—babenze icala elihlasimulisayo—futhi bachukuluza isimo sikaNkulunkulu. Benziwa ukuthi bakhokhe ngalokho abakwenza, kwafanele bathweswe imiphumela yezenzo zabo. Balahla ngecala uNkulunkulu, bala uNkulunkulu, ngakho baba nesiphetho esisodwa nje: ukujeziswa nguNkulunkulu. Lowo ngumphumela onomunyu ababusi babo abawuletha phezu kwezwe nesizwe sabo.

Namuhla, uNkulunkulu usebuyele emhlabeni ukwenza umsebenzi Wakhe. Isinyathelo Sakhe sokuqala ngababusi abangaphikiswa: iShayina, inqaba eqinile yokungakholelwa kuNkulunkulu. UNkulunkulu usezuze iqembu labantu ngokuhlakanipha namandla Akhe. Ngalesi sikhathi, uyazingelwa yiqembu lababusi eShayina ngayo yonke indlela futhi ufakwa ekuhluphekeni okukhulu, engenandawo yokuphumuza ikhanda Lakhe futhi engakwazi ukuthola isiphephelo. Naphezu kwalokhu, uNkulunkulu usaqhubeka nomsebenzi ahlose ukuwenza: uyakhuluma futhi asakaze ivangeli. Akekho ongaqonda ukuba nguSomandla kukaNkulunkulu. EShayina, izwe elibuka uNkulunkulu njengesitha, uNkulunkulu akakaze ayeke umsebenzi Wakhe. Kunalokho, baningi kakhulu abantu abemukele umsebenzi nezwi Lakhe, ngoba uNkulunkulu wenza konke angakwenza ukusindisa ilunga lesintu ngalinye ngalinye. Sithemba ukuthi alikho izwe noma isizwe esizomelana nalokho uNkulunkulu afisa ukukufeza. Labo abavimba umsebenzi kaNkulunkulu, abamelana nezwi likaNkulunkulu, abaphazamisa futhi balimaze uhlelo lukaNkulunkulu, bayojeziswa nguNkulunkulu ekugcineni. Lowo oweyisa umsebenzi kaNkulunkulu uyothunyelwa esihogweni; noma iliphi ilizwe eleyisa umsebenzi kaNkulunkulu liyobhujiswa; noma isiphi isizwe esivukayo ukumelana nomsebenzi kaNkulunkulu siyoshabalaliswa emhlabeni, futhi singabe sisaba khona. Ngiyagqugquzela abantu bazo zonke izizwe, amazwe, ngisho nezimboni ukuthi nilalele izwi likaNkulunkulu, nibone umsebenzi kaNkulunkulu, ninake isiphetho sesintu, ngaleyo ndlela nenze uNkulunkulu abe ongcwele kakhulu, ohlonishwa kakhulu, ophakeme kakhulu nokunguyena kuphela ofanele ukukhonzwa phakathi kwesintu, futhi nivumele isintu sisonkana ukuthi siphile ngaphansi kwesibusiso sikaNkulunkulu, njengoba inzalo ka-Abrahama yabe iphila ngaphansi kwesithembiso sikaJehova, futhi njengoba u-Adamu no-Eva ababenziwe uNkulunkulu ekuqaleni, babephila eNsimini yase-Edeni.

Umsebenzi kaNkulunkulu ufana namagagasi agubha kakhulu. Akekho ongamvalela, futhi akekho ongamisa izinyathelo Zakhe. Yilabo kuphela abalalela amazwi Akhe ngokucophelela futhi abafuna baphinde bomele Yena, abalandela ezinyathelweni Zakhe futhi bazuze isithembiso Sakhe. Labo abangakwenzi bayobhekana nenhlekelele enamandla kakhulu kanye nesijeziso esifanele.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 216)

Umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu waqala ekudalweni komhlaba, futhi umuntu uyingqikithi yalo msebenzi. Ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto, kungashiwo ukuthi kungenxa yomuntu. Ngoba umsebenzi wokuphatha Kwakhe uqhubeke izinkulungwane zeminyaka, futhi awenziwa ngesikhathi esingangemizuzu noma imizuzwana, noma ngokuphazima kweso, noma ngonyaka owodwa noma emibili, kwadingeka ukuthi adale ezinye izinto ezidingekayo ukuze aphile umuntu, njengelanga, inyanga, ngezinhlobo ngezinhlobo zezidalwa eziphilayo, nokudla, kanye nendawo yokuphila yesintu. Lokhu kwabe kuwukuqala kokuphatha kukaNkulunkulu.

Emuva kwalokho, uNkulunkulu wanikezela ngesintu kuSathane, umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane, futhi lokhu kancane kancane kwaholela emsebenzini kaNkulunkulu wenkathi yokuqala: indaba yeNkathi Yomthetho…. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi yeNkathi Yomthetho, isintu sajwayela ukuqondiswa kweNkathi Yomthetho, futhi baqala bakuthatha kalula, futhi kancane kancane, bakushiya ukunakekelwa nguNkulunkulu. Ngakho, ngesikhathi benamathele emthethweni, bakhonza izithixo futhi benza izinto ezimbi. Babengavikelwe nguJehova, futhi babemane bephila izimpilo zabo phambi kwethempeli. Empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu wabe usubashiyile kudala, nakuba abakwa-Israyeli babebambelele emthethweni, futhi bekhuluma ngegama likaJehova, futhi ngokuziqhenya besakholelwa ukuthi kwabe kuyibo bodwa abantu baJehova futhi babengabakhethiweyo baJehova, inkazimulo kaNkulunkulu yabalahla buthule …

Uma uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, uyayishiya buthule indawo ethile kodwa abe enza umsebenzi omusha ngokuthulile, uqala kwenye indawo. Lokhu kubukeka kungakholeki kubantu, abasala bendikindiki. Abantu selokhu benza igugu lokho okudala, futhi babuke izinto ezintsha, ezingajwayelekile ngobutha, noma njengohlupho. Ngakho, noma imuphi umsebenzi omusha uNkulunkulu awenzayo, kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni ngci, umuntu ungowokugcina ukwazi ngawo phakathi kwezinto zonke.

Njengoba kwakuhlale kwenzeka, emuva komsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho, uNkulunkulu waqala umsebenzi Wakhe wesigaba sesibili: wathatha inyama—wathatha isimo somuntu iminyaka eyishumi, amashumi amabili—futhi ekhuluma futhi enza umsebenzi Wakhe phakathi kwamakholwa. Kepha, ngaphandle kokukhetha, akekho owayazi, futhi bambalwa abantu abemukela ukuthi wayenguNkulunkulu othathe isimo senyama emuva kokuthi iNkosi uJesu ibethelwe esiphambanweni futhi yavuswa. … Kwathi lapho isigaba sesibili somsebenzi kaNkulunkulu sesiphelile—emuva kokubethelwa esiphambanweni—umsebenzi kaNkulunkulu wokukhipha umuntu esonweni (okungukuthi, ukukhipha umuntu ezandleni zikaSathane) wafezeka. Ngakho, kusukela kulowo mzuzu kuqhubeka, isintu sase sidinga ukwemukeka iNkosi uJesu njengoMsindisi ukuze izono zaso zithethelelwe. Ngokubuka, izono zomuntu zabe zingasesona isithiyo ekutholeni kwakhe insindiso futhi ukuza phambi kukaNkulunkulu futhi zabe zingaseyona into uSathane ayengasizakala ngayo ukumangalela umuntu. Yingoba uNkulunkulu uqobo Lwakhe wayenze umsebenzi ngempela, wayefike efana nenyama yesono, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wabe engumhlabelo wesono. Ngale ndlela, umuntu wahlika esiphambanweni, ehlengiwe futhi esindisiwe ngenxa yenyama kaNkulunkulu, umfanekiso wale nyama yesono. Ngakho, emuva kokuthunjwa nguSathane, umuntu wasondela kakhulu ekutheni emukele insindiso phambi kwaNkulunkulu. Impela, lesi sigaba somsebenzi kwabe kungukuphatha kukaNkulunkulu okwabe kuyisinyathelo esinyukelayo ukusuka eNkathini Yomthetho, futhi kwabe kusezingeni elijulile kuneNkathi Yomthetho.

Kunjalo ukuphatha kukaNkulunkulu: ukunikezela isintu phezu kukaSathane—isintu esingazi ukuthi uyini uNkulunkulu, ukuthi uyini uMdali, ukhonzwa kanjani uNkulunkulu, nokuthi kungani kunesidingo sokuthobela uNkulunkulu—futhi ukunika inkululeko enkohlakalweni kaSathane. Isinyathelo ngesinyathelo, uNkulunkulu uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, aze umuntu akhonze uNkulunkulu ngokuphelele futhi ashiye uSathane. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Konke lokhu kuzwakala njengendaba eyinganekwane; futhi kubonakala kuyindida. Abantu bacabanga ukuthi kunjengendaba eyinganekwane, futhi lokho yingoba abazi nhlobo ukuthi zingakanani izinto ezehlele umuntu kule minyaka eyizinkulungwane eziningi eyedlule, ingasaphathwa eyokwazi ukuthi zingaki izindaba ezenzekile emhlabeni nasemkhathini. Futhi, ngaphezu kwalokho, yingoba abakwazi ukuqondisisa izwe elishaqisayo, elifaka ukwesaba kakhulu elikhona ngaleya kwalo mhlaba esiwubonayo, kodwa amehlo abo enyama ayabavimba ukuthi bawubone Kuzwakala kungaqondakali kumuntu, futhi lokho yingoba umuntu akakuqondi ukubaluleka kokusindisa kukaNkulunkulu isintu kanye nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha, futhi akaqondi ukuthi uNkulunkulu ufisa isintu sibe njani ekugcineni. Isintu esifana no-Adamu no-Eva, abangakonakaliswa nguSathane? Cha! Ukuphatha kukaNkulunkulu kwenziwa ukuzuza iqembu labantu abakhonza uNkulunkulu nabamthobelayo Yena. Lesi sintu sonakalisiwe nguSathane, kodwa asisamboni uSathane njengobaba waso; siyabubona ubuso obubi bukaSathane, futhi siyabukhahlela, futhi sifike phambi kwaNkulunkulu ukwemukela isahlulelo nokusola Kwakhe. Uyazi uthi yini embi, nokuthi injani uma uyiqhathanisa nalokho okuyingcwele, futhi uyabona ubukhulu bukaNkulunkulu nobubi bukaSathane. Isintu esinjalo ngeke sisamsebenzela uSathane, noma simkhonze uSathane, noma simenze isithixo uSathane. Yingoba bayiqembu labantu abazuzwe ngempela wuNkulunkulu. Lokhu ukubaluleka kokuphatha isintu kukaNkulunkulu. Ngesikhathi somsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu lesi sikhathi, isintu siwumenziwa wenkohlakalo kaSathane, futhi ngaso leso sikhathi siwumenziwa wensindiso kaNkulunkulu, kanye nento uNkulunkulu noSathane abayilwelayo. Ngesikhathi enza umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu kancane kancane uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, ngakho umuntu uba seduzane kakhulu noNkulunkulu …

Kwase kufika iNkathi Yombuso, okuyisigaba somsebenzi esibonakalyo kepha futhi yiso esinzima kakhulu ukuthi umuntu asemukele. Yingoba njengoba umuntu esondela kuNkulunkulu, kungenkathi uswazi lukaNkulunkulu lusondela kumuntu, nangenkathi ubuso bukaNkulunkulu buya ngokuya bubonakala bucacile phambi komuntu. Kulandela ukuhlengwa komuntu, umuntu ubuyela ngokusemthethweni emndenini kaNkulunkulu. Umuntu wacabanga ukuthi manje yisikhathi sokujabula, kepha uzithola ebhekene nokuhlaselwa okuqhamuka ngaphambili ngomfutho okuvela kuNkulunkulu, uhlobo okungekho muntu oke wakubona ukuthi kuyokwenzeka. Kuyavela, ukuthi lokhu ukubhajadiswa abantu baNkulunkulu ekufanele bakujabulele. Ngaphansi kwempatho enjalo, abantu abanako abangakwenza kodwa ukuthi bame bacabange ukuthi, ngiyiwundlu ebelilahlekile iminyaka eminingi, uNkulunkulu akhiphe okukhulu ukulithenga futhi, ngakho kungani uNkulunkulu engiphatha kanje? Yindlela le yokuthi uNkulunkulu angihleke, angidalule? … Emuva kokuhamba kweminyaka, umuntu useshayekile, usedlule ebunzimeni bokucwengwa nokujeziswa. Nakuba umuntu eselahlekelwe “inkazimulo” kanye “nobumnandi” bezikhathi ezedlule, ngaphandle kokwazi, usefike ekuqondeni izimiso zokuziphatha komuntu, futhi usekwazi ukwazisa iminyaka yokuzinikela kukaNkulunkulu ukuthi asindise isintu. Umuntu uyaqala ukuzonda ukungaphucuki kwakhe. Uqala ukuzonda indlela anobudlova ngayo, nokungezwani kwakhe noNkulunkulu, nezicelo eziphoqayo ezingenangqondo azenzile Kuye. Isikhathi asinakuhlehliswa; izehlo ezedlule ziba izinkumbulo ezinokuzisola zomuntu, kanti amazwi nothando lukaNkulunkulu luba ngamandla amqhubela phambili umuntu empilweni yakhe entsha. Amanxeba omuntu ayaphola usuku nosuku, amandla akhe ayabuya, futhi asukume abheke ebusweni bukaSomandla … akutholayo nje ukuthi ubelokhu eseduze naye, nokuthi ukumamatheka Kwakhe kanye nobuso Bakhe obuhle buyamthinta kakhulu. Inhliziyo Yakhe isenokukhathazeka ngesintu asidala, futhi izandla Zakhe zisafudumele futhi zinamandla njengoba zazinjalo ekuqaleni. Kungathi-kumuntu ubuyele eNsimini Yase-Edeni, kepha manje umuntu akasalaleli ukuyenga kwenyoka, akasabususi ubuso bakhe kuJehova. Umuntu uyaguqa phambi kukaNkulunkulu, abheke phezulu ebusweni obumamathekayo bukaNkulunkulu, futhi anikele ngomhlatshelo wakhe oyigugu kunayo yonke—O! Nkosi Yami, Nkulunkulu Wami!

Uthando nozwelo lukaNkulunkulu lugcwele kuyo yonke imininingwane yomsebenzi Wakhe wokuphatha, futhi akunandaba noma abantu bayaqonda izinhloso ezinhle zikaNkulunkulu, ngokungakhathali, usawenza umsebenzi ahlose ukuwufeza. Ngaphandle kokubheka ukuthi abantu baqonda kangakanani ukuphatha kukaNkulunkulu, izinzuzo nosizo lomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu lungathakaselwa inoma ngubani. Mhlawumbe, namhlanje awukaze uzwe inoma iluphi uthando noma impilo ehlinzekwa nguNkulunkulu, kodwa inqobo uma ungamlahli uNkulunkulu, futhi ungadeli ukuzimisela kwakho ukufuna iqiniso, kuyohlale kukhona usuku lapho ukumamatheka kukaNkulunkulu kuyovezwa kuwena. Ngoba inhloso yomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ukubuyisa isintu esingaphansi kwamandla kaSathane, ukungasilahli isintu esonakaliswe nguSathane futhi saphikisana noNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 217)

Bonke abantu badinga ukuqonda inhloso yomsebenzi Wami emhlabeni, okungukuthi, injongo yokugcina yomsebenzi Wami kanye nezinga ekumele ngifinyelele kulo kulo msebenzi ngaphambi kokuba ungaqedwa. Uma, emva kokuhamba nami kuze kube kulolu suku, abantu bengaqondi ukuthi umsebenzi Wami umayelana nani, lokho akusho ukuthi bekuyize ukuhamba Nami? Abantu abahamba Nami kumele bayazi intando Yami. Sengisebenze emhlabeni izinkulungwane zeminyaka, futhi kuze kube namuhla ngisenza umsebenzi wami ngale ndlela. Yize kukhona izinto ezininginingi ezitholakala emsebenzini Wami, inhloso yawo ilokhu ingaguqukile. Njengoba nje, ukwenza isibonelo, noma ngigcwele ukwehlulela nokusola okubhekiswe kumuntu, engikwenzayo kusengenxa yesizathu sokumsindisa, nangenhloso yokusabalalisa kangcono ivangeli Lami, nokwandisa umsebenzi Wami phakathi kwabo bonke abeZizwe ngemuva kokuthi umuntu enziwe waphelela. Ngakho-ke namuhla, esikhathini lapho abantu abaningi bedumele kakhulu emathembeni abo, ngisaqhubeka nomsebenzi Wami, ngiqhuba umsebenzi ekumele ngiwenze ukwehlulela nokusola umuntu. Phezu kokuthi umuntu ukhathele yinto engiyishoyo nangaphandle kokuthi akanasifiso sokukhathalela umsebenzi Wami, ngisaqhubeka nokwenza umsebenzi Wami ngoba inhloso yomsebenzi Wami ayikaguquki futhi nohlelo Lwami lwasekuqaleni alusoze lwabhidlika. Umsebenzi wokwahlulela Kwami ukwenza umuntu angilalele kangcono, nomsebenzi wokusola Kwami ukuvumela umuntu ukuba aguquke ngokunomthelela ongcono. Nakuba engikwenzayo kungenxa yokuphatha Kwami, angikaze ngenze noma yini engeyona inzuzo kumuntu. Lokhu kungoba ngifuna ukwenza zonke izizwe ngaphandle kuka-Israyeli zilalele njengama-Israyeli futhi ngizenze abantu bangempela, ukuze ngibe nendawo emazweni angaphandle kuka-Israyeli. Lokhu ukuphatha Kwami; kungumsebenzi engiwufezayo emazweni abeZizwe. Namanje, abantu abaningi abakakuqondi ukuphatha kwami ngoba abanandaba nalezi zinto, esikhundleni salokho bakhathalele kuphela ikusasa labo kanye nalapho beya khona. Noma ngingathini, abantu abanandaba nomsebenzi engiwenzayo, banaka kuphela isiphetho zabo esikhathini esizayo. Uma izinto ziqhubeka ngale ndlela, umsebenzi Wami ungakhula kanjani? Ivangeli Lami lingasabalaliswa kanjani emhlabeni wonke? Kumele nazi ukuthi lapho umsebenzi Wami wanda, ngizonihlakaza, futhi Ngizonishaya njengoba nje uJehova ashaya izizwe zakwa-Israyeli. Konke lokhu kuzokwenziwa ukuze ivangeli Lami lisabalale emhlabeni wonke, nokusabalalisa umsebenzi Wami kubantu beZizwe, ukuze igama Lami lidunyiswe ngabadala nezingane ngokufanayo, negama Lami elingcwele liphakanyiswe emilonyeni yabantu bakuzo zonke izinhlanga nezizwe. Kungenxa yokuthi kulesi sikhathi sokugcina, igama Lami liphakanyiswe phakathi kwabantu beZizwe, ukuba izenzo Zami zibonwe abeZizwe futhi bangibize ngoSomandla ngenxa yezenzo zami, bese amazwi Ami enzeke ngokushesha. Ngizokwenza bonke abantu bazi ukuthi angisiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, kodwa futhi uNkulunkulu wabo bonke abantu beZizwe, ngisho nezizwe engiziqalekisile. Ngizokwenza bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu wayo yonke indalo. Lona ngumsebenzi Wami omkhulu kakhulu, inhloso yohlelo lomsebenzi Wami ezinsukwini zokugcina, futhi yiwona kuphela umsebenzi okumele ufezwe ngezinsuku zokugcina.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 218)

Umsebenzi ebengiwuphethe izinkulungwane zeminyaka wembulwe ngokuphelele kumuntu ezinsukwini zokugcina nje kuphela. Kumanje kuphela lapho ngembule yonke imfihlakalo yokuphatha Kwami. Umuntu uyayazi inhloso yomsebenzi Wami futhi, ngaphezu kwalokho, usethole ukuqonda ngazo zonke izimfihlakalo Zami. Futhi umuntu ngimtshelile yonke into ngesiphetho akhathazeke ngaso. Sengimvezelile umuntu izimfihlo ebezisithakele ngaphezu kwezi-5,900 zeminyaka. Ngubani uJehova? Ngubani uMesiya? Ngubani uJesu? Kumele nibazi bonke laba. Umsebenzi Wami uzungeza kula magama. Nikuqondile lokho? Kufanele limenyezelwe kanjani igama Lami elingcwele? Kufanele lisatshalaliwe kanjani igama Lami kunoma isiphi isizwe esezingimemezile ngelinye lamagama Ami? Umsebenzi Wami ususendleleni yokwanda, futhi ngizosabalalisa ukugcwala kwawo kuzo zonke izizwe. Njengoba umsebenzi Wami wenziwe kini, ngizonishaya njengoba uJehova ashaya abelusi bendlu kaDavide kwa-Israyeli, nginenze nisabalale kuzo zonke izizwe. Ngoba ezinsukwini zokugcina, ngizobhubhisa zonke izizwe futhi ngenze abantu bazo basabalaliswe kabusha. Mhla sengibuya futhi, izizwe zizobe sezahlukanisekile ngemingcele ebekwe ngamalangabi Ami avuthayo. Ngaleso sikhathi ngiyoziveza kabusha kumuntu njengelanga elingqongqisayo, ngizibonakalise kubona obala ngomfanekiso woNgcwele abangakaze bawubone, ehamba phakathi kwezizwe eziningi, njengoba Mina, Jehova, ngahamba phakathi kwezizwe zamaJuda. Kusukela lapho kuya phambili, ngizobahola abantu ezimpilweni zabo emhlabeni. Bazoyibona nakanjani inkazimulo Yami baphinde babone insika yefu emoyeni ukubahola ezimpilweni zabo, ngoba ngizovela ezindaweni ezingcwele. Umuntu uzolubona usuku Lwami lokulunga nokubonakaliswa Kwami okukhazimulayo. Lokho kuzokwenzeka mhlazane ngibusa kuwo wonke umhlaba ngiphinde ngilethe amadodana Ami amaningi enkazimulweni. Bonke bazokhothama kuyo yonke indawo emhlabeni, kuthi nethabanekeli Lami lizomiswa liqine phakathi kwesintu, phezu kwedwala lomsebenzi engiwenzayo namhlanje. Abantu futhi bazongikhonza ethempelini. I-altare, eligcwele ukungcola, izinto ezizondekayo, ngizolidiliza libe zicucu bese ngilakha kabusha. Amawundlu azelwe namathole ayonqwatshelwa phezu kwe-altare elingcwele. Ngizobhidliza ithempeli lanamuhla bese ngakha elisha. Ithempeli elimile manje, eligcwele abantu abayisinengiso, lizobhidlika, futhi lelo engizolakha lizogcwala izinceku ezithembekile Kimi. Zizophinda futhi zime zingikhonze ngenxa yenkazimulo yethempeli Lami. Nakanjani nizolubona usuku engiyothola ngalo inkazimulo enkulu, nani nakanjani niyolubona usuku lapho ngibhidliza khona ithempeli ngiphinde ngakhe elisha. Futhi niyolubona nakanjani usuku lokuza kwethabanekeli Lami emhlabeni wabantu. Lapho ngibhidliza ithempeli, kanjalo ngiyoletha ithabanekeli Lami emhlabeni wabantu, lapho nje bebona ukwehla Kwami. Ngemuva kokuchitha zonke izizwe, ngiyophinda ngizihlanganise ndawonye kabusha, kusuka lapho ngakhe ithempeli Lami futhi ngimise i-altare Lami, ukuze bonke balethe imihlatshelo Kimi, bangikhonze ethempelini Lami, baphinde bazinikele ngokuthembeka emsebenzini Wami kubantu beZizwe. bayoba njengama-Israyeli anamuhla, begqoke ingubo yompristi nomqhele, nenkazimulo Yami, Mina Jehova, iphakathi kwabo nobukhosi Bami buphezu kwabo futhi buhlezi nabo. Umsebenzi Wami kwabeZizwe nawo uzokwenziwa ngendlela efanayo. Njengoba umsebenzi Wami wawunjalo kwa-Israyeli, nakubantu beZizwe uyoba njalo ngoba ngizokwandisa umsebenzi Wami kwa-Israyeli ngiphinde ngiwusabalalisele kwabeZizwe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 219)

Manje sekuyisikhathi lapho umoya Wami wenza izinto ezinkulu, futhi yisikhathi lapho ngisebenza phakathi kwabeZizwe. Ikakhulu, sekuyisikhathi lapho ngihlela yonke indalo ngibeka omunye ngamunye esigabeni esifanele ukuze umsebenzi Wami uqhubeke ngokushesha nangempumelelo enkulu. Ngakho-ke, engikucela kuwe kusengukuba uzinikele ubuwena bonke kuwo wonke umsebenzi Wami; ukwedlula lokho, kumele ukwazi ukuhlukanisa futhi uqiniseke ngemisebenzi yonke engiyenze kuwe, uphinde ufake wonke amandla wakho emsebenzini Wami ukuze ube nempumelelo enkulu. Yiko lokhu okumele ukuqonde. Gwemani ukuxabana nodwa, bhekani izindlela zezisombululo, okanye ukubheka ukubheka indlela yokuphindela emuva noma ukufuna ukuthokomala kwenyama, okuyinto ezobambezela umsebenzi Wami futhi yone ikusasa lakho eliqhakazile. Ukuwenza kanjalo ngale kokukukunikeza ukuvikeleka kuzokulethela imbubhiso. Ngeke lokhu kube ubuphukuphuku bakho? Lokhu okuthokozela ngomhobholo namuhla yikho kanye lokhu okona ikusasa lakho, kanti ubuhlungu ophila ngaphansi kwabo namhlanje ibona kanye lobu obukuvikelayo. Kufanele uzibone ngokucacile lezi zinto, ukuze ugweme izilingo ozocindizeleka ukuba uphunyuke kuzo nokuba ugweme ukwedukela enkungwini esindayo nokungakwazi ukuthola ilanga. Uma le nkungu esindayo icwengeka, uyozithola usekwahlulelweni kosuku olukhulu. Ngaleso sikhathi, usuku Lwami luyobe selufikile kumuntu. Uyokubalekela kanjani ukwahlulela Kwami? Uyokwazi kanjani ukumelana nokushisa okungqongqisayo kwelanga? Uma nginikezela umuntu inala Yami akayilondolozi esifubeni sakhe, kodwa kunalokho uyilahla kude ezindaweni okungekho muntu oyoyibona khona. Lapho usuku Lwami lwehlela kumuntu, ngeke esakwazi ukuthola inala Yami noma athole amazwi ababayo eqiniso engalikhuluma kuye kudala. Uyokhala alile, ngoba ulahlekelwe ukugqama kokukhanya wayesewela ebumnyameni. Lokhu enikubona namuhla kuyinkemba nje ebukhali yomlomo Wami. Anikayiboni induku esesandleni Sami noma ilangabi engishisa ngalo umuntu, futhi yingakho nisaqhosha niphinde ningazithibi ebusweni Bami. Yingakho nisalwa Nami endlini Yami, niphikisa ngolimi lomuntu lokhu engikukhulume ngomlomo Wami. Umuntu akangesabi, futhi nakuba eqhubeka nokuba nobutha nami kuze kube namhlanje, ulokhu engenakho nhlobo ukwesaba. Ninolimi namazinyo alabo abangalungile emilonyeni yenu. Amazwi nezenzo zenu afana nawenyoka eyayengela u-Eva ekoneni. Nifuna komunye nomunye iso ngeso nezinyo ngezinyo futhi nilwa ebukhoneni Bami ukuzihlwithela izikhundla, udumo nenzuzo, kodwa anazi ukuthi ngiyawabuka ngasese amazwi nezenzo zenu. Ngaphambi kokuba nifike ebusweni Bami, senginazi ekujuleni kwezinhliziyo zenu. Umuntu uhlale efisa ukuphunyuka ekubambeni kwesandla Sami, agweme ukubuka kwamehlo Ami, kodwa angikaze ngiwagweme amazwi noma izenzo zakhe. Kunalokho, ngiyavuma ngenhloso ukuba zifinyelele emehlweni Ami ukuze ngisole ukungalungi ngiphinde ngahlulele ukuhlubuka kwakhe. Kanjalo, amazwi nezenzo zomuntu ezifihliwe zihlala zibekwe phambi kwesihlalo sokwahlulela, futhi ukwahlulela Kwami akukaze kusuke kumuntu, ngoba ukuhlubuka kwakhe kukhulu kakhulu. Umsebenzi Wami ukushisa ngiphinde ngihlambulule wonke amazwi nezenzo zomuntu ezashiwo futhi zenziwa ebukhoneni boMoya Wami. Ngale ndlela,[a] uma sengishiya umhlaba, abantu basayoqhubeka nokwethembeka Kimi, futhi basayongikhonza njengoba izinceku Zami ezingcwele zenza umsebenzi Wami, zivumela umsebenzi Wami emhlabeni ukuba uqhubeke kuze kufike usuku lapho usuqediwe khona.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. umbhalo wokuqala awunawo amagama athi “Ngale ndlela.”

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 220)

Nibonile yini ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uzofezani kuleli qembu labantu? UNkulunkulu uthe, ngisho eMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane abantu kusazodingeka ukuthi baqhubeke balandele amazwi Akhe, futhi kusasa la mazwi kaNkulunkulu azoqondisa ukuphila kwabantu ezweni elihle laseKhanani. Lapho uMose esehlane, uNkulunkulu wamfundisa futhi wakhuluma naye ngokuqondile. UNkulunkulu wathumela ukudla esezulwini, amanzi nemana ukuze abantu bayijabulele, futhi kusenjalo nanamuhla: uNkulunkulu ngokwakhe uthumele izinto ezidliwayo neziphuzwayo ukuze abantu bazijabulele, futhi Yena ngokwakhe ulethe iziqalekiso ukuze asole abantu. Ngakho zonke izinyathelo zomsebenzi Wakhe zenziwa uNkulunkulu mathupha. Namuhla, abantu balambele iqiniso, bazama ukubona izimpawu nezimangaliso, futhi kunokwenzeka ukuthi bonke abantu abanjalo bashiywe, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uya uba ngokoqobo kakhulu. Akekho owaziyo ukuthi uNkulunkulu wehlile esuka ezulwini, abakaqapheli ukuthi uNkulunkulu uthumele ukudla nezinto ezivela ezulwini—kuyilapho uNkulunkulu ekhona ngempela, nezimo ezijabulisayo zoMbuso Weminyaka Eyinkulungwane abantu abazicabangayo kuyizinto ezivela ngqo emazwini kaNkulunkulu. Lokhu kuyiqiniso, futhi lokhu kuwukuphela ukubusa noNkulunkulu emhlabeni. Ukubusa noNkulunkulu emhlabeni kuqondise enyameni. Lokhu okungeyona inyama akukho emhlabeni, ngakho bonke labo abalwela ukuya ezulwini lesithathu balwela into engekho. Ngelinye ilanga, lapho umhlaba wonke usubuyela kuNkulunkulu, umongo womsebenzi Wakhe ezulwini nasemhlabeni wonke uyolandela amazwi kaNkulunkulu; kwenye indawo, abanye abantu bayoshaya izingcingo, abanye bayogibela izindiza, abanye bayogibela izikebhe bawele ulwandle, abanye bayosebenzisa ama-laser ukuze bathole amazwi kaNkulunkulu. Bonke abantu bayokhonza futhi bayolangazelela, bonke bayosondela kuNkulunkulu, futhi bahlanganyele kuNkulunkulu, futhi bonke bayokhonza uNkulunkulu—futhi konke lokhu kuyobe kuyizenzo zikaNkulunkulu. Khumbula lokhu! Ayikho into uNkulunkulu asazoyiqala kabusha kwenye indawo. UNkulunkulu uyofeza leli qiniso: Uyokwenza ukuthi bonke abantu emhlabeni wonke beze phambi Kwakhe, futhi bakhonze uNkulunkulu emhlabeni, futhi omunye umsebenzi Wakhe kwezinye izindawo uyophela, futhi abantu bayophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Kuyoba njengakuJosefa: Bonke babeya kuye ukuze bathole ukudla, futhi bamkhothamele, ngoba wayenezinto ezidliwayo. Ukuze bagweme indlala abantu bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Wonke umphakathi wamakholwa uzokwehlelwa yindlala enzima, futhi uNkulunkulu wanamuhla kuphela ongumthombo wamanzi okuphila, umthombo ogeleza njalo owenzelwe ukuba abantu bajabule, futhi abantu bazoza bancike Kuye. Leso kuyoba yisikhathi sokwambulwa kwezenzo zikaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakhazinyuliswa; bonke abantu emhlabeni wonke bazokhonza “umuntu” onganakekile. Ingabe lolu ngeke kube usuku lwenkazimulo kaNkulunkulu? Ngelinye ilanga, abafundisi abadala bazothumela amathelegramu befuna amanzi omthombo wokuphila. Bazobe bekhulile, kodwa nabo bazoza bakhonze lo muntu, lowo ababemdelela. Emilonyeni yabo bazoqaphela futhi ezinhliziyweni zabo bazothemba—ingabe lolu akulona uphawu noma isimanga? Lapho wonke umbuso ujabulela inkazimulo kaNkulunkulu, futhi noma ubani oza kinina futhi amukele izindaba ezinhle zikaNkulunkulu uzobusiswa Nguye, futhi la mazwe nalaba bantu bazobusiswa futhi banakekelwe uNkulunkulu. Umyalelo wangelinye ilanga uyoba nje: Labo abathole amazwi evela emlonyeni kaNkulunkulu bazoba nendawo yokuhamba emhlabeni, futhi noma bangosomabhizinisi noma ososayensi, noma othisha, noma abezimboni, labo abangenawo amazwi kaNkulunkulu kuzoba nzima ngisho ukuthatha isinyathelo esisodwa, futhi bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Yilokho okushiwoyo uma kuthiwa, “Ngeqiniso uzohamba emhlabeni wonke; ngaphandle kweqiniso, ngeke uye ndawo.” Amaqiniso awukuthi: UNkulunkulu uzosebenzisa Indlela (okusho ukuthi wonke amazwi Akhe) ukuze aqondise wonke umhlaba futhi abuse futhi anqobe isintu. Abantu bahlale bethemba ukujika okukhulu emisebenzini kaNkulunkulu. Ukucacisa, uNkulunkulu uqondisa abantu ngezwi, futhi kumele wenze lokho akushoyo kungakhathaleki ukuthi uyafisa ukwenza lokho noma cha; leli yiqiniso elingenakuphikwa, futhi kumele lilalelwe yibo bonke, nalo futhi laziwe yibo bonke.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 221)

Amazwi kaNkulunkulu azosabalalela emakhaya angenakubalwa, azokwaziwa yibo bonke, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho amazwi Akhe ezosabalala emhlabeni wonke. Okungukuthi, uma umsebenzi Wakhe kumele usabalale kuwo wonke umhlaba, amazwi Akhe kumele asatshalaliswe. Osukwini lwenkazimulo kaNkulunkulu, amazwi Akhe azobonisa amandla negunya lawo. Onke amazwi Akhe kusukela ngesikhathi esingakhumbuleki kuze kube namuhla azofezeka futhi azogcwaliseka. Ngale ndlela, inkazimulo izoya kuNkulunkulu emhlabeni—okusho ukuthi, amazwi Akhe azobusa emhlabeni. Bonke ababi bazosolwa amazwi asemlonyeni kaNkulunkulu, bonke abalungile bazobusiswa amazwi omlomo Wakhe, futhi bonke bazokwakhiwa futhi bapheleliswe amazwi omlomo Wakhe. Angeke abonise noma yiziphi izimpawu noma izimangaliso; konke kuzofezwa amazwi Akhe, futhi amazwi Akhe azokhiqiza amaqiniso. Wonke umuntu emhlabeni uzohalalisela amazwi kaNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi badala noma bayizingane, owesilisa, owesifazane, omdala, omncane, bonke abantu bazozithoba ngaphansi kwamazwi kaNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu abonakala esenyameni, evumela abantu ukuba bawabone emhlabeni, ecacile futhi ephila. UNkulunkulu uze emhlabeni ikakhulukazi ukuze afeze iqiniso lokuthi “uLizwi uba yinyama,” okusho ukuthi, uze ukuze amazwi Akhe azonikezwa esenyameni (hhayi njengasesikhathini sikaMose eTestamenteni Elidala, lapho uNkulunkulu ayekhuluma ngokuqondile esesibhakabhakeni). Ngemva kwalokho ngalinye lamazwi Akhe lizogcwaliseka phakathi neNkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane, azoba amaqiniso asobala emehlweni abantu, futhi abantu bazowabona ngamehlo abo ngaphandle kokungabaza. Lena yincazelo yangempela yokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu. Okungukuthi, umsebenzi kaMoya ufezwa ngenyama, nangamazwi. Lena incazelo enembayo yokuthi “uLizwi waba yinyama” nethi “Ukubonakala kukaLizwi enyameni.” UNkulunkulu kuphela ongakhuluma intando kaMoya, futhi uNkulunkulu osenyameni kuphela ongakhulumela uMoya; amazwi kaNkulunkulu enziwe acaca ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, futhi wonke umuntu uqondiswa yiwo. Akekho okhululiwe, bonke bakhona ngaphakathi kwalo mngcele. Yingala mazwi kuphela lapho abantu bengakwazi khona; labo abangazuzi ngale ndlela bayaziphuphela nje uma becabanga ukuthi bangathola amazwi avela ezulwini. Lelo gunya libonakaliswe uNkulunkulu ekuguqulweni abe yinyama: ukwenza ukuba bonke bakholwe. Ngisho kuthiwa ompetha abaqeqeshiwe noma abefundisi bezinkolo angeke bakwazi ukukhuluma la mazwi. Kumele bazithobe kuwo, futhi akekho ongakwazi ukuqalisa kabusha. UNkulunkulu uzosebenzisa amazwi ukuze anqobe umhlaba wonke. Uzokwenza lokhu hhayi ngokuguqulelwa enyameni, kodwa ngokusebenzisa amazwi avela umlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama ukuze anqobe bonke abantu emhlabeni wonke; yilokhu kuphela okunguLizwi eba yinyama, futhi yilokhu kuphela ukubonakala kukaLizwi enyameni. Mhlawumbe, kubantu, kubonakala sengathi uNkulunkulu akakenzi msebenzi ongako—kodwa uNkulunkulu kufanele akhlume nje amazwi Akhe kubantu ukuze bakholwe ngokuphelele, futhi kubo ukuze bathuthumele. Ngaphandle kwamaqiniso abantu bayamemeza futhi bakhamuluke; ngamazwi kaNkulunkulu, bayathula. UNkulunkulu nakanjani uzolifeza leli qiniso, ngoba kuyicebo Lakhe lesikhathi eside: ukufeza ukufika kukaLizwi emhlabeni. Eqinisweni, asikho isidingo sokuba ngichaze—ukufika koMbuso Weminyaka Eyinkungwane emhlabeni kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu emhlabeni. Ukwehla kweJerusalema elisha livela ezulwini kuwukufika kwamazwi kaNkulunkulu ukuba aphile phakathi kwabantu, ukuze aphelekezele konke okwenziwa umuntu. Leli wuhlelo oluhlelwe uNkulunkulu: amazwi Akhe azovela emhlabeni iminyaka eyinkulungwane, futhi azobonisa zonke izenzo Zakhe, futhi aqedele wonke umsebenzi Wakhe emhlabeni, emva kwakho okuyophela lesi sigaba sesintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 222)

Lapho iSinimi itholakakala emhlabeni—lapho umbuso utholakala—ngeke kusaba khona impi emhlabeni, ngeke iphinde ibe khona indlala, izifo eziwumshayabhuqe, kanye nokuzamazama komhlaba, abantu bazoyeka ukwakha izikhali, konke kuzophila ngokuthula nangozinzo, futhi kuzokuba nokuphilisana kahle phakathi kwabantu naphakathi kwamazwe. Kodwa okukhona manje akunakuqhathaniswa nalokhu. Konke okuphansi kwezulu kusesiphithiphithini, ukuketulwa kwemibuso kuqala ukwenzeka kancane kancane ezweni ngalinye. Njengoba uNkulunkulu ekhuluma izwi Lakhe abantu bayaguquka kancane kancane, futhi, ngaphakathi, onke amazwe kancane kancane ehlukana phakathi. Isisekelo esizinzile seBhabhiloni siqala ukuzamazama, njengenqaba eyakhiwe esihlabathini, futhi, njengoba intando kaNkulunkulu igudluka, kuzokwenzeka izinguquko ezinkulu emhlabeni kungabonakali, futhi zonke izinhlobo zezimpawu zizobonakala noma nini, ukubonisa abantu ukuthi usuku lokugcina lomhlaba selufikile! Lolu uhlelo lukaNkulunkulu, lezi yizinyathelo asebenza ngazo, futhi izwe ngalinye ngokuqinisekile lizohleshulwa libe yizicucu, iSodoma elidala lizoshabalaliswa okwesibili, futhi ngalokho uNkulunkulu uthi “Umhlaba uyawa! IBhabhiloni alikwazi kwenza lutho!” Akekho omunye ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo okwazi ukukuqonda ngokugcwele lokhu; kukhona, vele, umkhawulo ekwazini kwabantu. Ngokwesibonelo, izinduna zomnyango wezindaba zangaphakathi kungenzeka zazi ukuthi izimo ezikhona manje azizinzile futhi kunesiphithiphithi, kodwa azikwazi ukubhekana nazo. Zingamane kuphela zilandele umsinga, zinethemba ezinhliziyweni zazo lokuthi ngolunye usuku kuzolunga, zilangazelele ukufika kwalolo suku lapho ilanga lizophinde liphume khona empumalanga likhanyise ezweni bese kuguquka lesi simo sezinto esibi. Kuncane abakwaziyo, nokho, ngokuthi lapho ilanga liyophuma khona okwesibili, ukuphuma kwalo akuqondile ukubuyisela uhlelo oludala—kuwukuvuka kabusha, uguquko oluphelele. Lunjalo-ke uhlelo lukaNkulunkulu lwendawo yonke. Uzoletha umhlaba omusha, kodwa okukhulu kunakho konke, uzoqala ngokuvuselela umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Izahluko 22 no-23” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 223)

Emhlabeni, ukuzamazama komhlaba kuwukuqala kwenhlekelele. Okokuqala, ngenza umhlaba, okusho izwe, uguquke. Lokho kulandelwa yizinhlupho nendlala. Lolu uhlelo Lwami, lezi yizinyathelo Zami, futhi ngiyogqugquzela yonke into ukuba ingisebenzele, iqede uhlelo Lwami lokuphatha. Ngalokhu wonke umhlaba uyobhujiswa, nangaphandle kokungenela Kwami ngokuqondile. Lapho ngiba yinyama okokuqala futhi ngibethelwa esiphambanweni, umhlaba wazamazama kakhulu; kuyoba ngokufanayo ekugcineni. Ukuzamazama komhlaba kuyoqala ngesikhathi kanye lapho ngingena endaweni yokomoya ngisuka enyameni. Ngakho ngithi, amadodana angamazibulo ngeke neze ehlelwe yinhlekelele. Abantu abangewona amadodana angamazibulo bayosala enhlekeleleni futhi bahlupheke. Ngakho, ngokwesintu, wonke umuntu uzimisele ukuba yindodana eyizibulo. Ekubikezeleni kwabantu akukhona ngenxa yokuthokozela izibusiso, kodwa ngokokuphunyuka ekwehlelweni yinhlekelele. Leli yicebo likadrako omkhulu obomvu. Kodwa ngeke ngimdedele. Ngiyomenza ehlelwe ukujezisa Kwami okunzima futhi bese esukuma engenzela umsebenzi (lokhu kubhekise ekupheleliseni amadodana nabantu Bami), kumenze njalo aluthwe ngamacebo akheo, amukele kuze kube phakade ukujezisa Kwami futhi amukele kuze kube phakade ukushiswa Yimi. Lokhu kuwumqondo wangempela wokwenza abenzi bomsebenzi bangidumise (ukubasebenzisa ukwambula amandla Ami amakhulu). Ngeke ngivumele udrako omkhulu obomvu anyonyobe angene embusweni wami, futhi ngeke nginikeze udrako omkhulu obomvu ilungelo lokungidumisa! (Ngoba akafanele, akaze afanele!) Ngiyomenza kuphela angenzele umsebenzi kuze kube phakade! Ngiyomenza kuphela awe phambi kwami. (Labo ababhujisiwe bangcono kunalabo abasekufeni okuphakade. Ukubhubha kuyisijeziso esinzima sesikhashana kuphela, kodwa labo abasekufeni kwaphakade bayokwehlelwa ukujeza kanzima kuze kube phakade, ngakho ngisebenzisa ukuwa. Ngoba laba bantu bangena ngokunyenya ekhaya Lami futhi bathokozele okuningi komusa Wami futhi banolwazi oluthile Ngami, ngisebenzisa izijeziso ezinzima. Mayelana nalabo abangaphandle kwendlu Yami, ungasho uthi abangazi lutho ngeke bahlupheke.) Emibonweni yabantu, bacabanga ukuthi ukubhujiswa kubi ngokwengeziwe kunokufa okuphakade, kodwa empeleni, labo abasekufeni okuphakade kufanele bajeziswe kanzima kuze kube phakade, futhi labo ababhubhayo bayophindela ekungabini yilutho kuze kube phakade.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 108” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 224)

Lapho ukufika kombuso kuzwakala kakhulu−okuylapho futhi kuqala ukuduma kwamazulu ayisikhombisa—lo msindo uzamazamisa izulu nomhlaba, unyakazise indawo ephezulu futhi uthuthumelise izintambo zezinhliziyo zabantu. Ihubo lombuso liyakhuphuka esizweni sikadrako omkhulu obomvu, kufakazela ukuthi sengibhubhise isizwe sikadrako omkhulu obomvu ngabe sengimisa umbuso Wami. Okubaluleke nakakhulu, umbuso Wami uyamiswa emhlabeni. Ngalo mzuzu, ngiqala ukuthumela izingelosi Zami kuzo zonke izizwe zomhlaba ukuze zeluse amadodana Ami, abantu Bami; lokhu kubuye kusho ukuhlangabezana nezidingo zesinyathelo esilandelayo somsebenzi Wami. Kodwa ngiziyela mathupha endaweni lapho udrako omkhulu obomvu ezisonge khona, ukuze ngilwe naye. Futhi lapho bonke abantu sebengazi enyameni, futhi sebekwazi ukubona imisebenzi Yami enyameni, kuyobe sekuthi indawo yokuhlala kadrako omkhulu obomvu iphenduke umlotha futhi ishabalale kungabikho umuntu oyaziyo. Njengabantu bombuso Wami, njengoba nimenyanya ngaphakathi udrako omkhulu obomvu, kumele nijabulise inhliziyo Yami ngezenzo zenu, ngaleyo ndlela nimthele ngehlazo udrako. Ingabe ngempela ninomuzwa wokuthi udrako omkhulu obomvu unenzondo? Ingabe ngempela ninomuzwa wokuthi uyisitha seNkosi yombuso? Ingabe ngempela ninalo ukholo lokuthi ningakwazi ukunikeza ubufakazi obuhle kakhulu Kimina? Ingabe ngempela ninalo ukholo lokunqoba udrako omkhulu obomvu? Yilokhu engikucela kini. Engikudinga kini nje ukuba nihambe nize nifike kulesi sinyathelo; ningakwazi ukukwenza lokhu? Ingabe ninalo ukholo lokuthi ningakufinyelela kulokhu? Yini umuntu akwaziyo ukuyenza? Akungono ukuthi ngizenzele Mina mathupha? Kungani ngithi ngehlela endaweni lapho kutholene phezulu impi? Engikufunayo ukholo lwenu, hhayi izenzo zenu. Abantu abakwazi ukwamukela amazwi Ami ngendlela eqondile, kodwa balunguza nje beseceleni. Ingabe ufinyelele emgomeni ngale ndlela? Ukwazile ukungazi ngale ndlela? Uma ngikhuluma iqiniso, kubantu abaphila emhlabeni, akekho noyedwa okwaziyo ukungibuka ngqo ebusweni, akekho noyedwa okwaziyo ukuthola umqondo ohlanzekile nongonakalisiwe wamazwi Ami. Ngakho ngiqale phezu komhlaba umsebenzi ongakaze ubonwe ngaphambili, ukuze ngifinyelele emgomeni Wami futhi ngakhe isithombe Sami seqiniso ezinhliziyweni zabantu, futhi ngale ndlela ngiqede inkathi lapho imicabango inamandla kubantu.

Namuhla, angehleli nje kuphela esizweni sikadrako omkhulu obomvu, ngiphinde ngiphendulele ubuso Bami ezulwini nomhlaba wonke, ukuze izulu nomhlaba kuthuthumele. Ingabe ikhona indawo engakutholi ukwahlulela Kwami? Ingabe ikhona indawo engenazo izishayo engizehlisele phansi? Yonke indawo engiya kuyo ngisakaze izimbewu zenhlekelele yalo lonke uhlobo. Lena ngenye yezindlela engisebenza ngazo, futhi ngokungangabazeki iyisenzo sokusindiswa komuntu, futhi engibanikeza khona kusewuhlobo oluthile lothando. Ngifisa ukwenza abantu abaningi kakhulu ukuba bangazi, bakwazi ukungibona, futhi ngaleyo ndlela bakwazi ukuhlonipha uNkulunkulu abangakaze bambone iminyaka eminingi, kodwa ongokoqobo namuhla. Kungani ngadala umhlaba? Kungani, lapho abantu bonakala, ngingazange ngibabhubhise ngokuphelele? Kungani isintu sonke siphila ngaphansi kwezishayo? Kungani Mina ngokwami ngilethe izishayo enyameni? Lapho ngenza umsebenzi Wami, abantu bonke bayakwazi ukunambitheka, hhayi okubabayo kuphela kodwa nokumnandi futhi. Ubani kubantu emhlabeni ongaphili ngomusa Wami? Ukuba abantu angibanikezanga izibusiso ezibonakalayo, ngubani obengakwazi ukujabulela ukwanela emhlabeni? Ngokuqinisekile, ukunivumela ukuba nithole indawo phakathi kwabantu Bami akusona kuphela isibusiso enisitholile, akunjalo? Ake sithi beningebona abantu Bami kodwa ningabenzi bomsebenzi, beningeke niphile esibusisweni Sami? Akekho noyedwa kini okwaziyo ukuqonda umsuka wamazwi Ami. Abantu—abangawazisi neze amagama engibanikeze wona, iningi labo, ngenxa yegama elithi “abenzi bomsebenzi,” linenzondo ezinhliziyweni zabo, futhi abaningi kakhulu, ngenxa yegama elithi “abantu Bami,” bayangithanda ezinhliziyweni zabo. Akekho okufanele azame ukungilutha; amehlo Ami abona konke! Ubani phakathi kwenu owamukela ngothando, ubani phakathi kwenu olalela ngokuphelele? Uma ukufika kombuso bekungabanga nomsindo omkhulu, ingabe ngempela beniyokwazi ukulalela kuze kube sekupheleni? Lokho umuntu angase akwenze, akucabange, ukuthi uzohamba kangakanani—konke lokhu ngakumisa kusukela kudala.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 10” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 225)

Phezu kweqiniso lokuthi ukwakhiwa kombuso sekuqalile ngokusemthethweni, isibingelelo sombuso asikezwakali ngokusemthethweni—manje siseyisibikezelo salokho okuzayo. Lapho bonke abantu sebephelelisiwe nazo zonke izizwe zomhlaba seziwumbuso kaKristu, kuyobe sekuyisikhathi-ke sokuduma kwamazulu ayisikhombisa. Usuku lwanamuhla luyigxathu eliya phambili endleleni eya kuleso sigaba, ukuhlasela sekudedelwe esikhathini esizayo. Lolu wuhlelo lukaNkulunkulu—esikhathini esiseduze luyofezeka. Kodwa, uNkulunkulu usekufezile konke akusho. Kanjalo, kusobala ukuthi izizwe zomhlaba ziyizinqaba nje ezisehlabathini eziqhaqhazelayo ngenkathi kusondela umsinga ophakeme. Usuku lokugcina luyasondela nodrako omkhulu obomvu uyoketuka awe ngaphansi kwezwi likaNkulunkulu. Ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lukaNkulunkulu lwenzeka ngempumelelo, izingelosi zezulu sezehlele emhlabeni, zenza konke ezingakwenza ukwanelisa uNkulunkulu. UNkulunkulu ngokwakhe osesimweni somuntu usenikele enkundleni yempi ukuhlasela isitha. Noma yikuphi lapho kuvela khona ukuba sesimweni somuntu, isitha siyabulawa kuleyo ndawo. IChina ngeyokuqala ukushabalaliswa, ibhidlizwa yisandla sikaNkulunkulu. UNkulunkulu akayiniki thuba iChina. Ubufakazi bokuqhubeka kokuwa kukadrako omkhulu obomvu bubonakala ekuqhubekeni kokuvuthwa kwabantu. Lokhu ngokusobala kubonwa yinoma ngubani. Ukuvuthwa kwabantu kuwuphawu lokushabalala kwesitha. Lokhu kuyincazelo encanyana yalokhu okuqondiwe “ngokwenza impi.” Kanjalo, uNkulunkulu ukhumbuze abantu izikhathi eziningi ukunikeza ubufakazi obuhle kuNkulunkulu ukuze bahlakaze isimo semicabango, ububi bukadrako omkhulu obomvu ezinhliziyweni zabantu. UNkulunkulu usebenzisa lezi zikhumbuzo ukuvuselela ukholo lwabantu bese kuthi, ekwenzeni lokhu, azuze ukufezeka komsebenzi wakhe. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu uthe, “Yini umuntu akwazi ukuyenza? Akungcono ukuthi ngizenzele mina?” Sonke isintu sinje. Asigcini ngokungakwazi kuphela, sibuye siqedeke kalula umdlandla futhi sidumale. Ngalesi sizathu, asikwazi ukwazi uNkulunkulu. UNkulunkulu akagcini ngokuvuselela ukholo lomuntu kuphela, emfihlakalweni ube elokhu futhi enikeza abantu amandla.

Okulandelayo, uNkulunkulu uqale ukukhuluma kuwo wonke umhlaba. UNkulunkulu akaqalanga umsebenzi wakhe omusha eChina kuphela, emhlabeni wonke uqale ukwenza umsebenzi wakhe omusha wanamuhla. Kulesi sigaba somsebenzi, uNkulunkulu ufuna ukwembula izenzo Zakhe emhlabeni wonke ukuze sonke isintu esamphika sibuye sizokhothama ngokuzinikela phambi kwesihlalo sakhe sobukhosi, ngalendlela phakathi kokwahlulela kukaNkulunkulu kusekhona uzwelo nothando. UNkulunkulu usebenzisa izigameko zamanje emhlabeni wonke njengamathuba okwenza abantu bethuke, ebagqugquzela ukuthi bafune uNkulunkulu ukuze bahlabe uhele baphindele Kuye. Kanjalo uNkulunkulu uthi, “Lena ngenye yezindlela engisebenza ngazo, futhi ngokungangabazeki iyisenzo sokusindiswa kwabantu, futhi engibanikeza kona kusewuhlobo oluthile lothando.”

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 10” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 226)

Ngisebenzisa igunya Lami emhlabeni, ngicacise ngawo wonke umsebenzi Wami. Konke okungumsebenzi Wami kuyabonakala ebusweni bomhlaba; abantu abakaze, emhlabeni, bakwazi ukuqonda ukuhamba nokunyakaza Kwami ezulwini, futhi abakaze bacabange kahle izindlela nemikhondo yoMoya Wami. Iningi labantu liqonda nje izinto ezingaphandle komoya, ngaphandle kokuqonda isimo sangempela somoya. Izinto engizifuna kumuntu aziveli ekufiphaleni kokuthi ngisezulwini, noma kunokungaziwa ukuthi ngisemhlabeni: ngenza izimfuno ezifanele ngokuhambisana nesiqu somuntu emhlabeni. Angikaze ngifake muntu ebunzimeni, futhi angikaze ngicele muntu ukuthi “azikhiphe igazi lakhe” ukuze ngizithokozise—kungenzeka ukuthi engikufunayo kuphelela kule mibandela kuphela? Kulezi zidalwa ezimangazayo emhlabeni, yisiphi esingalaleli isimo samazwi emlonyeni Wami? Yisiphi kulezi zidalwa, eziza phambi Kwami, esingashiswanga amazwi Ami nomlilo Wami ovuthayo? Isiphi kulezi zidalwa esima ngenjabulo phambi Kwami? Isiphi kulezi zidalwa esingaguqi phambi Kwami? Ngabe nginguNkulunkulu oletha ukuthula kuphela ezidalweni? Kuzo zonke izinto ezidalweni, ngikhetha labo abanelisa inhloso Yami; kubantu abaningi ngikhetha labo abanakekela inhliziyo Yami. Ngikhetha inkanyezi enhle kunazo zonke, bese ngengeza ukukhanya embusweni Wami. Ngihamba emhlabeni, ngikhipha iphunga Lami yonke indawo, yonke indawo ngishiya isimo Sami. Yonke indawo izwakala umsindo wezwi Lami. Abantu yonke indawo basala befisa ubuhle bayizolo, ngoba bonke abantu bakhumbula osekwadlula …

Bonke abantu bafisa ukubona ubuso Bami, kodwa uma ngehla uqobo ngiza emhlabeni, bonke baphikisana nokuza Kwami, bonke bayakuxosha ukukhanya Kwami ukuthi kungezi, sengathi bengiyisitha somuntu ezulwini. Umuntu ungibingelela ngokukhanya kokuzivikela emehlweni akhe, bese ehlala eqaphile, esaba kakhulu ukuthi ngingase ngibe “nezinye izinhlelo” ngaye. Ngoba abantu bangithatha njengomngani ongajwayelekile, bazizwa sengathi ngihlose ukubabulala bonke. Emehlweni omuntu, ngiyisitha esibulalayo. Yize ekuzwile ukuthokomala Kwami ngesikhathi senhlekelele, umuntu namanje akakaluboni uthando Lwami, futhi usazimisele ukungiphebeza nokungiphika. Emva kokuthi esesebenzise leli thuba lalesi simo lokwenza okuthile Kimi, ngiyambamba umuntu ngimange ngemfudumalo Yami, ngigcwalise umlomo wakhe ngokumnandi, ngimnike nokudla kwesisu sakhe. Kodwa uma ulaka Lwami lunyakazisa izintaba nemifula, angeke ngiphinde, ngenxa yobugwala bomuntu, ngimnike lezi zinhlobo ezehlukene zosizo. Ngalesi sikhathi ngizomboza ngokucasuka, nginganiki sidalwa esiphilayo ithuba lokuthi siphenduke, ngokuphelelwa ithemba lomuntu, ngizokhipha impindiselo emfanele kakhulu. Ngalesi sikhathi, ukuduma kwezulu nokushaya kombani nokubhonga kwamagagasi adla izindwani, njengezintaba eziyizinkulungwane ezingamashumi eziwayo. Ngohlubuka kwakhe, umuntu uwiswa ukuduma kwezulu nombani, ezinye izidalwa zishatshalaliswe ukuduma kwezulu, umhlaba wonke uwela emsindweni, umuntu engabe esakwazi ukuphinda athole umoya wempilo. Izinkumbi zabantu angeke zikubalekele ukubhonga kwezulu; phakathi kokuphazima nokubanika, izinkumbi ngezinkumbi zabantu, bawela emthonjeni ogobhozayo, baze bathathwe izikhukhula ezivela ezintabeni. Ngokushesha, kuhlangana lapho endaweni lapho abantu “beya khona”. Izidumbu zintanta olwandle. Bonke abantu baqhela kude Nami ngenxa yolaka Lwami, ngoba umuntu wonile eMoyeni Wami, ukungihlubuka kwakhe kunginengile. Kodwa ezindaweni zamanzi ezingenalutho, abanye abantu basathokozile, phakathi kohleko neculo, izethembiso engizibeke phezu kwabo.

Uma bonke abantu bethula, ngiletha ithemba lokukhanya phambi kwabo. Lapho abantu baba nomqondo ocacile namehlo akhazimulayo, bese beyayeka ukuzimisela ukuthula; ngalokho, umuzwa wokomoya uyabuya ezinhliziyweni zabo ngaso leso sikhathi. Ngalesi sikhathi, wonke umuntu uyavuswa. Bakhohlwa izikhalo zabo ezingakhulunyiwe, bonke abantu beze phambi Kwami, sebethole elinye ithuba lokuphila ngamazwi engawakhuluma. Lokhu kungenxa yokuthi bonke abantu bafisa ukuphila ebusweni bomhlaba. Kodwa ubani phakathi kwabo onenhloso yokuphila ngenxa Yami? Ubani phakathi kwabo oke wathola ubuhle bezinto kuye ezithokozisa Mina? Ubani phakathi kwabo othole iphunga Lami elimnandi? Abantu bonke bayinto emaholoholo futhi engalungisisiwe: Ngaphandle, bagqolozele ngamehlo, kodwa bona ubuqu abangithandi ngeqiniso, ngenxa yokuthi ekuphumuleni kwenhliziyo abakaze babe Nami nhlobo. Umuntu uswele kakhulu: uma umqhathanisa Nami kuba sengathi siqhelelene njengezulu nomhlaba. Kodwa, noma kunjalo, angimuhlaseli umuntu endaweni abuthaka kuyo, futhi angimhleki ngenxa yokusilela kwakhe. Izandla Zami kade zisebenza emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane, futhi sonke lesi sikhathi amehlo Ami kade eqaphe wonke umuntu. Nokho angikaze ngithathe neyodwa impilo yomuntu ngidlale ngayo sengathi yithoyizi. Ngibuka ubunzina umuntu adlule kubo futhi ngiyaliqonda inani alikhokhile. Njengoba emile phambi Kwami, angifisi ukumzuma umuntu, ukuze ngimsole, futhi angifisi ukubeka phezu kwakhe izinto ezingathandeki. Kunalokho, sonke lesi sikhathi, bengihlinzeka umuntu futhi ngimupha. Ngalokho-ke, umuntu uthokozela umusa Wami kuphela, yonke inala evela ezandleni Zami. Ngenxa yokuthi ngisemhlabeni, umuntu akaze abe nendlala. Kunalokho, ngivumela ukuthi amukele ezandleni Zami izinto azozithokozela, ngibavumele ukuba baphile ezibusisweni Zami. Ingabe akubona bonke abantu abaphila ngaphansi kwesijeziso Sami? Njengoba kunenala ekujuleni kwezintaba, nezinto eziyinqwaba ezingathokozelwa emanzini, ngabe abantu abaphila emazwini Ami, abanakho lokhu nangaphezulu, ukudla abakuthokozelayo nabakunambithayo? Ngisemhlabeni, abantu bathokozela izibusiso Zami emhlabeni. Uma ngishiya umhlaba, lapho okuzobe sekuphela umsebenzi Wami khona, ngaleso sikhathi, abantu ngeke besathola ukubekezelelwa ngenxa yobuthakathaka babo.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 17” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 227)

Ngabe uyamzonda udrako omkhulu obomvu? Ngabe umzonda ngempela udrako omkhulu obomvu? Ngabe umzonda ngokuqinisekileyo ngempela? Kungani ngikubuza kaningi kangaka? Enhliziyweni yakho yimuphi umfanekiso onawo ngodrako omkhulu obomvu? Ngabe ususiwe ngempela? Ngabe awumthathi njengoyihlo? Bonke abantu kumele baqaphele inhloso Yami emibuzweni Yami. Akusikho ukuvusa intukuthelo kubantu, noma ukubhebhethekisa ukuhlubuka kubantu, noma ukuze abantu bezokwazi ukuziphumela, kodwa kungukuvumela bonke abantu bazikhulule emaketangeni kadrako omkhulu obomvu. Kodwa akekho okumele akhathazeke. Konke kuzofezekiswa ngamazwi Ami; akekho umuntu ozoba nesandla, akekho umuntu ozokwenza umsebenzi engizowenza. Ngizosusa umoya womhlaba ngiwuhlanze bese ngiqeda nawokugcina amadimoni emhlabeni. Sengiqalile, sengizoqala isinyathelo Sami sokuqala somsebenzi Wami wokujezisa endaweni ehlala udrako omkhulu obomvu. Ngalokho kuzobonakala ukuthi isijeziso Sami siwele kuwo wonke umhlaba, nokuthi udrako omkhulu obomvu nazo zonke izinhlobo zomoya wobumnyama zizophelelwa amandla okubalekela isijeziso Sami, ngoba ngibheka wonke umhlaba. Uma usuphelile umsebenzi Wami emhlabeni, kulapho, isikhathi sokwahlulela sifika ekupheleni, ngizobe sengimjezisa udrako omkhulu obomvu. Abantu Bami bazobona ukujezisa Kwami okulungileyo kukadrako omkhulu obomvu, bazodumisa ngenxa yokulunga Kwami, baphakamise igama Lami elingcwele ngenxa yokulunga Kwami. Nizobe senenza umsebenzi wenu osemthethweni, futhi nizobe seningidumisa ngokusemthethweni emhlabeni wonke, kuze kube naphakade!

Uma isikhathi sokwahlulela sifika ekugcineni, angeke ngijahe ukuqeda umsebenzi Wami, kodwa ngizowudidiyela nobufakazi besikhathi sokusola, bese lobo bufakazi bubonwa yibo bonke abantu Bami; lokhu kuzothela izithelo ezinkulu. Lobu bufakazi yiyona ndlela engizosola ngayo udrako omkhulu obomvu, ngizokwenza ukuthi abantu Bami bambone ngamehlo abo ukuze bazokwazi kabanzi ngesimo Sami. Isikhathi abantu Bami abangithokozela ngaso yileso lapho udrako omkhulu obomvu esejezisiwe. Ukwenza abantu bakadrako omkhulu obomvu bamvukele bamuhlubuke kuyiqhinga Lami, kanti nendlela engiphelelisa ngayo abantu Bami, futhi yithuba elihle labo bonke abantu Bami lokuthi bakhule empilweni.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 28” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 228)

Uma inyanga ekhazimulayo iphakama, ubusuku obunokuthula buyaphinda bufe olwembiza. Yize noma inyanga iyizicucu, umuntu usuke esemoyeni omuhle, ahlale ngoxolo ngaphansi kwenyezi, encoma ubuhle abubonayo ngaphansi kokukhanya. Umuntu akakwazi ukuchaza imizwa yakhe; kuba sengathi ufisa ukuphonsa imicabango yakhe ibuyele kosekudlulile, sengathi ufisa ukubheka phambili ekusaseni elizayo, sengathi uthokozela isikhathi samanje. Kuvele ukumamatheka ebusweni bakhe, phakathi komoya omnandi kukhona amakha; njengoba kuqala ukushaya komoya ohelezayo, umuntu uyawezwa amakha anothile, kubukeka sengathi liyamdaka, engakwazi ukuzivusa. Lesi yisikhathi engisuke sengifikile ngaso kumuntu, umuntu ezwe iphunga elikhulu elimnandi, bese bonke abantu bephila phakathi kwalo iphunga lelo. Nginoxolo nomuntu, uphila ngokuthula Nami, akasakuhlanekezeli okuphathelene Nami, angisawatheni amaphutha akhe, umuntu akasabukeki ecindezelekile, kanti nokufa akusabethusi bonke abantu. Namuhla, singena sonke nomuntu esikhathini sokujezisa, siyaphambili omunye eceleni komunye. Ngenza umsebenzi Wami, okungukuthi, ngishaya intonga yami phansi phakathi kwabantu bese iwela kulokho okuvukelayo kumuntu. Emehlweni abantu, intonga Yami ibukeka inamandla akhethekile: Iya kulabo abayizitha Zami futhi ayibaxoleli kalula; kubo bonke labo abamelana Nami, intonga yenza umsebenzi wayo wemvelo; bonke labo abasezandleni Zami benza umsebenzi wabo ngokwenhloso Yami yasekuqaleni, futhi abakaze badelele izifiso Zami noma bashintshe ubuqu babo. Ngalokho, kuzobhonga amanzi, kuwe izintaba, imifula emikhulu iyohlukana, abantu bazomelwa izinguquko, ilanga lizofiphala, inyanga ibe mnyama, umuntu aphelelwe izinsuku zokuphila ngoxolo, zizophela izikhathi zokuthula emhlabeni, amazulu angeke aphinde azole, athule, futhi ngeke aphinde abekezele. Zonke izinto zizoba zintsha zibuyele kule ndlela ezaziyiyo ekuqaleni. Wonke amakhaya emhlabeni azobhidlika, zonke izizwe emhlabeni zizovukelana; zobe sezadlula izinsuku zokubuyelana kwendoda nomfazi, umama nendodana ngeke baphinde babonane, ubaba nendodakazi ngeke baphinde bahlangane. Konke lokhu okwakusemhlabeni ngiyokubulala. Angibaniki abantu ithuba lokukhipha imizwa yabo, ngoba Nami anginamizwa, futhi sengiyenyanya ngokwedlulele imizwa yabantu. Kungenxa yemizwa ephakathi kwabantu ukuthi ngibekwe eceleni, ngalokho sengibe “ngomunye” emehlweni abo; kungenxa yemizwa phakathi kwabantu ukuthi bangikhohlwe; kungenxa yemizwa yomuntu eyenza athathe ithuba lokubuyisa “unembeza” wakhe; kungenxa yemizwa yabantu ukuthi umuntu ahlale ekhathazekile ngokujezisa Kwami; kungenxa yemizwa yomuntu ukuthi athi anginalo iqiniso futhi anginabo ubulungisa, bese ethi angiyicabangeli imizwa yomuntu ngendlela engenza ngayo izinto. Nginaso isihlobo emhlabeni? Ubani, njengani, owake wasebenza imini nobusuku, ngaphandle kokucabanga ngokudla noma ukulala, ngenxa yalo lonke uhlelo Lwami lokuphatha? Uqhathaniswa kanjani umuntu noNkulunkulu? Uhambisana kanjani noNkulunkulu? UNkulunkulu, odalayo, angafana kanjani nomuntu, odaliwe? Ngingahlala kanjani ngiphile kanjani nomuntu emhlabeni? Ubani okhathazeka ngenhliziyo Yami? Imithandazo yabantu? Ngake ngavuma ukujoyina umuntu ngahamba naye—yebo, kuze kube manje umuntu uphila ngaphansi kokunakekela nokuvikela Kwami, kodwa luyoke lufile yini usuku lapho umuntu eyozihlukanisa khona nokunakekela Kwami? Yize noma umuntu engakaze azikhathaze ngenhliziyo Yami, ubani ongaqhubeka ahlale emhlabeni ngaphandle kokukhanya? Kungenxa yezibusiso Zami kuphela ezenza ukuthi umuntu aphile kuze kube kunamhuhla?

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 28” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 229)

Amazwe asekuphithizeleni okukhulu, ngoba induku kaNkulunkulu isiqalile ukwenza umsebenzi wayo emhlabeni. Umsebenzi kaNkulunkulu uyabonakala esimweni somhlaba. Lapho uNkulunkulu ethi “kuyohlokoma amanzi, kuwe izintaba, imifula emikhulu iyohlakazeka,” lokhu kungumsebenzi wokuqala wenduku emhlabeni, ngomphumela wokuthi “yonke imizi emhlabeni iyobhidlizwa, futhi zonke izizwe emhlabeni ziyohlakazwa; ziyobe sezidlulile izinsuku zokuhlangana phakathi kwendoda nomkayo, ngeke umama nendodana baphinde bahlangane futhi, ngeke kuphinde kube nokuhlangana kukababa nendodakazi Konke okwakusemhlabeni kuyophihlizwa Yimi.” Siyoba njalo-ke isimo semindeni esejwayelekile emhlabeni. Ngokusobala, ngeke kwenzeke ukuthi kube yisimo sayo yonke, kodwa kuyisimo seningi layo. Kolunye uhlangothi, kuqondiswe ezimweni okuyodlula kuzo abantu balo mkhakha ngokuzayo. Kubikezela ukuthi, uma sebedlule ekusolweni ngamazwi nabangakholwa sebehlelwe yinhlekelele, ngeke kusaba khona ubudlelwano bomndeni emhlabeni; bonke bayoba ngabantu baseSinimi, futhi bonke bayothembeka embusweni kaNkulunkulu. Ngalokho, “ziyobe sezadlula izinsuku zokubuyelana kwendoda nomfazi, ngeke umama nendodana baphinde bahlangane, futhi ngeke kuphinde kube nokuhlangana kukababa nendodakazi.” Ngakho, imindeni yabantu emhlabeni iyohlakazwa, idatshulwe ibe yizicucu, futhi lokhu kuyoba umsebenzi wokugcina uNkulunkulu awenza kumuntu. Futhi ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyokwandisa lo msebenzi emhlabeni wonke, uthatha ithuba lokucacisa izwi elithi “umuzwa” kubantu, ngalokhu ebavumela ukuthi babone ukuthi intando kaNkulunkulu iwukuhlakaza imindeni yabantu, nokukhombisa ukuthi uNkulunkulu usebenzisa ukusola ukuxazulula yonke imibango yemindeni phakathi kwesintu. Uma kungenjalo, bekungeke kube nendlela yokuqeda ingxenye yokugcina yomsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni. Ingxenye yokugcina yamazwi kaNkulunkulu ibeka obala ubuthakathaka besintu—bonke baphila ngemizwa—futhi uNkulunkulu akagwemi noyedwa kubona, futhi uveza izimfihlo ezifihlwe ezinhliziyweni zaso sonke isintu. Kungani kulukhuni kangaka kubantu ukuzehlukanisa nemizwa? Ngabe kungaphezulu kwezindinganiso zikanembeza? Unembeza angakwazi ukufeza intando kaNkulunkulu? Umuzwa ungabasiza abantu ukuba bedlule ebunzimeni? Emehlweni kaNkulunkulu, umuzwa iyisitha Sakhe—akubekiwe ngokucacile lokhu emazwini kaNkulunkulu?

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 28” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 230)

Onke amazwi kaNkulunkulu aphethe ingxenye yesimo Sakhe. Isimo sikaNkulunkulu ngeke sichazwe ngokugcwele ngamazwi, okwanele ukukhombisa ukuthi kungakanani ukuceba okukhona Kuye. Lokho abantu abangakubona futhi bakuthinte, vele, akungakanani, njengoba kunjalo nasemandleni abantu. Nakuba amazwi kaNkulunkulu ecacile, abantu abakwazi ukuwaqonda ngokugcwele. Buka la mazwi ngokuyisibonelo: “Ngokuphazima kombani, isilwane ngasinye sivezwa ngobunjalo baso. Kanjalo, ngokukhanyiswa ukukhanya Kwami, umuntu ubuyelwe ubungcwele oke waba nabo. O, mhlaba wakudala okhohlakele! Ekugcineni usuwele emanzini angcolile futhi, lapho uzika ngaphansi kwamanzi, wancibilika waba udaka!” Onke amazwi kaNkulunkulu aqukethe ubuYena, futhi noma bonke abantu bewazi la mazwi, akekho oke wazi umqondo wawo. Emehlweni kaNkulunkulu, bonke labo abamelana Naye bayizitha Zakhe, okungukuthi, labo abangabemimoya emibi bayizilwane. Kulokhu, umuntu uyasibona isimo sangempela sebandla. Bonke abantu bakhanyiswa ngamazwi kaNkulunkulu, futhi kulokhu kukhanya, bayazihlola ngaphandle kokushunyayezwa noma ukusolwa noma ukulahlwa ngokuqondile ngabanye, ngaphandle kokuba ngaphansi kwezinye izindlela zabantu zokwenza izinto, nangaphandle kokukhonjiswa izinto ngabanye abantu. Ngokubuka “ngesibona-khulu”, babona ngokucacile ukuthi kungakanani ukugula okungaphakathi kubo. Emazwini kaNkulunkulu, lonke uhlobo lomoya lwehlukaniswa luphinde lwembulwe esimweni salo sasekuqaleni. Imimoya yezingelosi iya ngokuya ikhanyiswa futhi kukhanyiselwa, okuholela emazwini kaNkulunkulu athi “Umuntu ubuyelwe ubungcwele ake waba nabo,” La mazwi asekelwe emphumeleni wokugcina otholwe nguNkulunkulu. Okwamanje, ngokufanele, lo mphumela awukwazi ukufezeka ngokuphelele—lokhu kungukunambitha nje izinto ezizayo, okubonakala ngakho intando kaNkulunkulu. La mazwi enele ukukhombisa ukuthi baningi kakhulu abantu abayokuwa emazwini kaNkulunkulu futhi bayonqotshwa endleleni yokungcweliswa kancane kancane kwabo bonke abantu. Ukuthi “wancibilika waba udaka” akuphikisani nokubhubhisa kukaNkulunkulu umhlaba ngomlilo, futhi “umbani” uqondise olakeni lukaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ededela ulaka lwakhe olukhulu, umhlaba wonke uyokwehlelwa yizo zonke izinhlobo zezinhlekele njengomphumela wolaka Lwakhe, njengokuqhuma kwentabamlilo. Uma umi phezulu esibhakabhakeni kuyabonakala ukuthi, emhlabeni, zonke izinhlobo zezinhlekelele ziyasondela kuso sonke isintu, zisondela usuku ngosuku. Uma ubuka phansi uphezulu, umhlaba uveza izinhlobonhlobo zezimo ezifana nalezo ezandulela intabamlilo. Umlilo ongamanzi uyagobhoza ungavinjwa lutho, udaka lwentabamlilo lugeleza ngenkululeko, izintaba ziyagudluka, nokukhanya okubandayo kucwebezela phezu kwakho konke. Umhlaba wonke sewuzike emlilweni. Lesi yisigcawu esikhombisa uNkulunkulu ededela ulaka Lwakhe, futhi yisikhathi sokwahlulela kwakhe. Bonke labo abangabenyama negazi ngeke basinde. Ngalokho, izimpi phakathi kwamazwe nezingxabano phakathi kwabantu ngeke zidingeke ukuze zibulale wonke umhlaba; kunalokho umhlaba “uyothokoza ngokusobala” esandleni sokusola kukaNkulunkulu. Akekho oyokwazi ukuphunyuka; umuntu ngamunye ngamunye uyodlula kulobu bunzima. Emva kwalokho, wonke umhlaba uyophinde ukhazimule ngokukhanya okungcwele nesintu sonke siyobuye siqale impilo entsha. Futhi uNkulunkulu uyophumula phezu komhlaba, ebusisa sonke isintu nsuku zonke. Izulu ngeke libe yihlane elingabekezeleki, kodwa liyobuyelwa yimpilo ebese lingenayo kulokhu kwadalwa umhlaba, nokufilka “kosuku lwesithupha” kuyoba lapho uNkulunkulu eqala impilo entsha. UNkulunkulu nesintu bonke bayongena ekuphumuleni, nomhlaba ngeke usadungeka noma ungcole, kodwa uyokwenziwa ube musha. Kungakho uNkulunkulu athi: “Umhlaba awusamile uthule du, izulu aliseyilo ihlane futhi alisadabukisi.” Embusweni wezulu akukaze kube khona ukungalungi noma imizwa yabantu, noma siphi isimo sokukhohlakala kwabantu, ngoba ukuphazamisa kukaSathane akukho lapho. Bonke “abantu” bayakwazi ukuqonda amazwi kaNkulunkulu, nempilo ezulwini iyimpilo egcwele injabulo. Bonke labo abasezulwini banokuhlakanipha nesithunzi sikaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 18” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi KaNkulunkulu Ansukuzonke  (Okucashuniwe 231)

Kungashiwo ukuthi wonke amazwi anamuhla angukuphrofetha izindaba zakusasa, angukulungiselela kukaNkulunkulu isigaba esilandelayo somsebenzi Wakhe. UNkulunkulu usewuqedile ngempela umsebenzi waKhe kubantu bebandla, emva kwalokho uzokwehlisa ulaka luvele phambi kwabo bonke abantu. Njengoba uNkulunkulu ethi, “Ngizokwenza abantu emhlabeni ukuba bamukele ukwenza Kwami, futhi phambi ‘kwesihlalo sokwahlulela,’ izenzo Zami zizakufakaziswa, ukuze zamukeleke kubantu emhlabeni jikelele, abazobe bamukele.” Kukhona okubonile kula mazwi? Kuwo kunengxenye elandelayo yomsebenzi Wakhe ngokufingqiwe. Okokuqala, uNkulunkulu uzokwenza zonke izinja ezingabaqaphi ezinamandla ombusazwe ukuthi zikholwe ngobuqotho bese zihlehla ziphuma eshashalazini lomlando ngokwazo, zingaphindi zilwele izikhundla noma amasu kanye nokubopha uzungu. Lo msebenzi kumele ufezwe ngokuba uNkulunkulu aphakamise izinhlekelele ezinhlobonhlobo emhlabeni. Kodwa uNkulunkulu ngeke avele; ngoba, ngalesi sikhathi, isizwe sikadrako omkhulu obomvu sisazobe siyizwe lobubi, uNkulunkulu ngeke avele, kodwa uzovela ngokusola. Leso yisimo sabalungileyo bakaNkulunkulu, akekho noyedwa ongaphunyula kuso. Ngalesi sikhathi, bonke abahlezi esizweni sikadrako omkhulu obomvu bazohlushwa ngenhlekelele, ngokwemvelo ezofaka phakathi umbuso wasemhlabeni (ibandla). Lesi yiso isikhathi sempela lapho amaqiniso ezovela khona, futhi ngalokho azozwiwa yibo bonke abantu, akekho ozophunyula. Lokhu kunqunyelwe kusengaphambili nguNkulunkulu. Kungenxa yalesi sinyathelo ukuba uNkulunkulu athi, “Manje sekuyisikhathi sokwenza izinhlelo ezinkulu.” Ngoba, esikhathini esizayo, akunakuba khona libandla emhlabeni, nangenxa yenhlekelele, abantu bayokwazi kuphela ukucabanga ngalokho okuphambi kwabo, futhi bakushaye indiva konke okunye, kulukhuni futhi ukuba bajabulele ubukhona bukaNkulunkulu bephakathi enhlekeleleni, ngakho, abantu bacelwa ukuba bathande uNkulunkulu ngenhliziyo yabo yonke esikhathini lesi esihle, ukuze bangalahlekelwa yithuba. Ngokudlula kwaleli qiniso, uNkulunkulu umahlulile udrako omkhulu obomvu, ngalokho futhi umsebenzi wobufakazi babantu ngoNkulunkulu ufike esiphelweni; emva kwalokho uNkulunkulu uzoqala isinyathelo esilandelayo somsebenzi, ebeka okungasadingeki ezweni likadrako omkhulu obomvu, bese kuthi ekugcineni abethele abantu emhlabeni wonke ebabhekise phansi esiphambanweni, emva kwalokho uzoshabalalisa sonke isintu—lezi yizinyathelo zesikhathi esizayo somsebenzi kaNkulunkulu. Ngalokho, nimelwe ukuphokophelela ukwenza ngakho konke ukuze nithande uNkulunkulu kulesi simo esinokuthula. Esikhathini esizayo anisayikuba nawo amathuba okuthanda uNkulunkulu, ngokuba abantu banethuba kuphela lokuthanda uNkulunkulu osenyameni; ngenkathi sebephila komunye umhlaba, akukho noyedwa ozokhuluma ngokuthanda uNkulunkulu. Akusiwo yini umthwalo womuntu owadalwa lona? Ngalokho kumele umthande kanjani uNkulunkulu ezinsukwini zokuphila kwakho? Uke wakucabanga lokhu? Ulinde ukuthi uze ufe kube yikhona uthanda uNkulunkulu? Ingabe lokhu akukhona ukukhuluma okungenalutho? Namuhla, kungani ungaphokopheleli ukuthanda uNkulunkulu? Kungenzeka ukuthanda uNkulunkulu umatasa kube luthando lweqiniso ngoNkulunkulu? Isizathu esenza kuthiwe lesi sinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu sizoshesha sifike ekupheleni kungoba uNkulunkulu usenabo ubufakazi phambi kukaSathane; ngalokho, asikho isidingo sokuthi umuntu kube khona akwenzayo, umuntu ucelwa kuphela ukuthi aphokophelele ukuthanda uNkulunkulu eminyakeni yakhe esaphila—yikho okumqoka lokhu. Ngokuba izidingo zikaNkulunkulu azizinkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ngoba kunexhala elivuthayo enhliziyweni Yakhe, wambulile isifinyezo sesinyathelo esilandelayo somsebenzi waKhe ngaphambi kokuthi kuphethwe lesi isinyathelo, okukhombisa ngokusobala ukuthi isikhathi singakanani; uma uNkulunkulu ubengenalo ixhala enhliziyweni Yakhe, ingabe ubeyokhuluma ngala mazwi isikhathi sisekhona? Kungoba isikhathi sifushane ukuthi uNkulunkulu asebenze ngale ndlela. Likhona ithemba lokuthi ningamthanda uNkulunkulu ngezinhliziyo zenu zonke, ngemiqondo yenu yonke, kanye nangamandla enu wonke, kube sengathi nivikela impilo yenu. Ngabe akuyona yini impilo enenjongo ephelele lena? Kukuphi kwenye indawo lapho ungathola khona impilo enenjongo? Awenzi bona yini ubumpumputhe obukhulu? Uzimisele yini ukuthanda uNkulunkulu? Ngabe uNkulunkulu ukufanele yini ukuthandwa ngumuntu? Ngakho yini okufanele uyenze? Thanda uNkulunkulu ngesibindi, ngaphandle kwemibandela—bese ubheka ukuthi uNkulunkulu uzokwenzani kuwe. Bheka ukuthi uzokubulala yini. Kafushane, umsebenzi wokuthanda uNkulunkulu ubaluleke kakhulu kunokukopisha nokubhala izinto zikaNkulunkulu. Kumele unikeze indawo yokuqala lokho okubaluleke kakhulu, ukuze impilo yakho ibaluleke ngokwengeziwe futhi igcwale injabulo, bese ulinda “isigwebo” sikaNkulunkulu ngawe. Ngiyazibuza ukuthi okuhlelayo kuyakufaka yini phakathi ukuthanda uNkulunkulu—ngingajabula uma izinhlelo zabantu bonke zingaba yilezo ezipheleliswe nguNkulunkulu, bese ziba ezangempela.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 42” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: Ukwazi Umsebenzi KaNkulunkulu 1

Okulandelayo: Isimo SikaNkulunkulu Nalokho Anakho Nayikho

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp