Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu

UNkulunkulu waba inyama ngenxa yokuthi ihloso yomsebenzi wakhe akuwona umoya kaSathane, noma into engaphili, kodwa umuntu, oyinyama owonakaliswe uSathane. Lokho kungenxa kanye yokuthi inyama yomuntu yonakalisiwe ukuthi uNkulunkulu wenze umuntu wenyama injongo yomsebenzi Wakhe; ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi umuntu uyinjongo yenkohlakalo, wenze umuntu waba iyona kuphela injongo yomsebenzi Wakhe kuzo zonke izigaba zomsebenzi Wakhe wensindiso. Umuntu uyisidalwa esifayo, uyinyama negazi, futhi uNkulunkulu Nguye Yedwa ongasindisa umuntu. Ngale ndlela, uNkulunkulu kumele abe inyama enakho konke umuntu anakho ukuze umsebenzi Wakhe, ukuze futhi umsebenzi Wakhe ube nemithelela engcono. UNkulunkulu kumele abe inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe, ngenxa kanye yokuthi umuntu uyinyama, futhi akakwazi ukunqoba isono nokuzehlukanisa nenyama. Nakuba ukwakheka nesiqu sikaNkulunkulu osesimweni somuntu kwehluka kakhulu ekwakhekeni nesiqu somuntu, kodwa ukubukeka kuyefana nokomuntu, unokubukeka komuntu ovamile, futhi uphila ukuphila komuntu ojwayelekile futhi labo abambonayo ngeke babone mehluko kumuntu ojwayelekile. Le ndlela yokubukeka evamile nobuntu obuvamile kwanele Kuye ukuze enze umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu ebuntwini obuvamile. Inyama Yakhe imvumela ukuba enze umsebenzi Wakhe ebuntwini obuvamile, bese imsiza ukuthi enze umsebenzi Wakhe phakathi kwesintu, futhi ubuntu Bakhe obuvamile, phezu kwalokho, bumsiza ukuba enze umsebenzi wensindiso phakathi kwabantu. Nakuba ubuntu bakhe obujwayelekile bubangele ukudideka okukhulu kubantu, ukudideka okunjalo akuwuphazamisanga kakhulu umthelela ojwayelekile womsebenzi Wakhe kubantu. Ngamafuphi, umsebenzi wenyama Yakhe evamile umzuzisa kakhulu umuntu. Nakuba abantu abaningi bengabamukeli ubuntu Bakhe obuvamile, umsebenzi Wakhe usengathela, futhi le mithelela itholakala ngenxa yobuntu obuvamile. Kulokhu akunakungabaza. Ngomsebenzi Wakhe esesimweni somuntu, umuntu uzuza izinto eziphindwe kashumi noma kaninginingi kunemicabango ekhona phakathi kwabantu ngobuntu bakhe obejwayelekile, futhi yonke le micabango ekugcineni izogwinywa umsebenzi Wakhe. Futhi umthelela umsebenzi Wakhe osuwufezile, okusho ukuthi, ulwazi umuntu analo Ngaye, uyedlula kude imicabango yomuntu Ngaye. Akunakwenzeka ukuba uwubone ngeso lengqondo noma uwulinganise umsebenzi awenza esesimweni somuntu, ngoba inyama Yakhe ayifani neyanoma imuphi umuntu wenyama, nakuba ingxenye engaphandle ifana ncamashi, isiqu asifani. Inyama Yakhe yenza ibe miningi imicabango kubantu mayelana noNkulunkulu, kodwa inyama Yakhe ingenza umuntu athole ulwazi oluningi, futhi inganqoba noma imuphi umuntu onengxenye efanayo yangaphandle. Ngoba akayena nje umuntu kuphela, kodwa unguNkulunkulu onengxenye engaphandle yomuntu, futhi akekho ongazi imfihlakalo noma ongamqonda ngokugcwele. UNkulunkulu ongabonakali futhi ongathinteki uyathandwa futhi wemukelwa yibo bonke. Uma uNkulunkulu nje ewuMoya ongabonwa umuntu, kulula kumuntu ukuba akholwe kuNkulunkulu. Umuntu angayikhulula imicabango yakhe, angakhetha noma yisiphi isithombe asithandayo njengesithombe sikaNkulunkulu ukuze azijabulise futhi azenze athokoze. Ngale ndlela, abantu bangenza noma yini ethandwa kakhulu uNkulunkulu wabo nafisa ukuba bayenze, ngaphandle kokungabaza. Okukhulu nakakhulu, umuntu ukholwa ukuthi akekho oqotho nozinikele kuNkulunkulu okudlula yena, nokuthi bonke abanye bayizinja ezingabezizwe futhi abathembekile kuNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi yilokho okufunwa yilabo abanezinkolelo ezingaqondakali kuNkulunkulu futhi ezisekelwe ezimfundisweni; abakufunayo konke kuthi akufane, kunomehluko nje omncane. Kumane kuwukuthi umfanekiso kaNkulunkulu ezingqondweni zabo uhlukile, kodwa isiqu sabo siyafana.

Umuntu akahlupheki ngokukholwa kwakhe kuNkulunkulu kholwaokungenakunaka futhi ukholwa kuNkulunkulu ngendlela ethandwa nguye. Leli elinye “lamalungelo nenkululeko yomuntu,” okungenamuntu ongagxambukela kulo, ngoba umuntu ukholwa kuNkulunkulu wakhe, hhayi kuNkulunkulu womunye; lokho kuyimpahla yakhe yedwa, futhi wonke umuntu unalo lolu hlobo lwempahla. Umuntu le mpahla uyibheka njengengcebo eyigugu, kodwa kuNkulunkulu ayikho into ephansi nengafaneleki eyedlula lokho ngoba alukho uphawu lokumelana noNkulunkulu olucace kunakule mpahla yomuntu yangasese. Kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu owenza uNkulunkulu abe inyama enesakhiwo esithintekayo futhi oze abonwe futhi athintwe ngumuntu. Akawona uMoya ongenasimo, kodwa uyinyama engathinteka futhi ibonwe umuntu. Nokho, onkulunkulu abaningi abantu abakholwa kubo abanayo inyama futhi abanaso isimo. Ngale ndlela, uNkulunkulu osesimweni somuntu usephenduke isitha sabantu abaningi abakholwa kuNkulunkulu, futhi labo abangeke balamukele iqiniso likaNkulunkulu osesimweni somuntu, nabo, ngokufanayo sebebe izitha zikaNkulunkulu. Umuntu unemicabango, hhayi nje ngenxa yendlela yakhe yokucabanga, noma ngenxa yokuhlubuka kwakhe, kodwa ngenxa yale mpahla yomuntu. Abantu bafa ngenxa yale mpahla yomuntu, futhi inguNkulunkulu ongaqondakali ongenakuthintwa, ongeke abonakale, futhi ongekho eqinisweni lokho okonakalisa ukuphila komuntu. Ukuphila komuntu akonakaliswa uNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi akonakaliswa nangengozi uNkulunkulu osezulwini, kodwa nguNkulunkulu osemicabangweni yabantu. Okuwukuphela kwesizathu esenza uNkulunkulu osesimweni somuntu abe inyama, kungenxa yezidingo zomuntu owonakalisiwe. Kungenxa yezidingo zomuntu hhayi ezikaNkulunkulu, futhi konke anikela ngakho nokuhlupheka Kwakhe kungenxa yesintu, akukhona okwenzuzo kaNkulunkulu uqobo. Abukho ubuhle nobubi nemiklomelo kuNkulunkulu; akufanele avune isivuno sesikhathi esizayo, ngaphandle kwalokho ayevele ekweletwa khona. Konke akwenzayo nanikela ngakho ngenxa yesintu akakwenzeli ukuba athole imiklomelo emikhulu kodwa ukwenzela isintu kuphela. Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu enyameni ubandakanya ubunzima obuningi obungacabangeki, imiphumela okugcina kuba nayo iyidlula kude leyo yomsebenzi owenziwa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi wenyama unobunzima obukhulu, futhi inyama ayinakuba nesiqu esifana nesikaMoya; ngeke ikwazi ukuthwala izenzo ezifana nezoMoya, mancane kakhulu amathuba okuthi ibe negunya elifanayo nelikaMoya. Kodwa ingqikithi yomsebenzi wale nyama enganakekile iyedlula kude eyomsebenzi owenziwe uqondiswa uMoya, nale enyama uqobo iyimpendulo yazo zonke izidingo zomuntu. Kulabo abazosindiswa, umsebenzi kaMoya uphansi kakhulu kunowenyama: Umsebenzi kaMoya ukwazi ukuhlanganisa indawo yonke, zonke izindaba, imifula, amachibi, nezilwandle, kodwa umsebenzi wenyama uthela kahle kuwo wonke umuntu othintane nomuntu wenyama. Okungaphezu kwalokho, inyama kaNkulunkulu esesimweni esithintekayo umuntu angayiqonda futhi ayethembe kangcono, futhi ingajulisa ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu, futhi ingashiya kumuntu ukuqonda okubanzi ngezenzo zangempela zikaNkulunkulu. Umsebenzi kaMoya umbozwe emfihlakalweni, kunzima ngomuntu ofayo ukuthi awuqonde, futhi kunzima nakakhulu kubo ukuthi bawubone, ngakho babambelela emicabangweni engasho lutho. Nokho, umsebenzi wenyama ujwayelekile, futhi usekelwe ezintweni ezingokoqobo, futhi uqukethe ukuhlakanipha okucebile, uyiqiniso elingabonakala ngisho nangeso lenyama lomuntu; umuntu angabubona ngokoqobo ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, asikho isidingo sokuthi asebenzise kakhulu iso lakhe lengqondo. Lokhu ukunemba nokubaluleka kwangempela komsebenzi kaNkulunkulu enyameni. UMoya ungenza kuphela izinto ezingabonakali ngeso lomuntu futhi okunzima kuye ukuthi azibone ngeso lengqondo, isibonelo, ukukhanyiselwa uMoya, ukunyakaza kukaMoya, ukuqondiswa uMoya, kodwa ngokomuntu onengqondo, lokho akunikezi incazelo ecacile. Kuhlinzeka kuphela incazelo enyakazayo, noma ebanzi, futhi ngeke kukhiphe imiyalelo ngamazwi. Nokho, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uhluke kakhulu: Unokuqondisa okucacile kwamazwi, unentando ecacile, futhi unemigomo ecacile efunakalayo. Ngakho akudingeki ukuthi umuntu acinge, noma asebenzise iso lakhe lengqondo noma aqagele. Lokhu ukukhanyiswa komsebenzi enyameni, nomehluko wakho omkhulu emsebenzini kaMoya. Umsebenzi kaMoya ulungele isilinganiso esithile kuphela, ngeke uthathe isikhundla somsebenzi wenyama. Umsebenzi wenyama unika umuntu imigomo enemba kakhulu futhi edingekayo nolwazi lwangempela, olunosizo kakhulu kunomsebenzi kaMoya. Umsebenzi oyigugu kakhulu kumuntu owonakele yilona onamazwi anembayo, imigomo ecacile, futhi ongabonakala noma uthinteke. Umsebenzi onengqondo kuphela nokuqondisa okufika ngesikhathi okufaneleka nokuthandwa ngumuntu, okudingwa abantu ovivinyweni lwabo, futhi umsebenzi kuphela wangempela ongasindisa umuntu ekukhohlakaleni nasesimweni sakhe esiphansi. Lokhu kungafezwa kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu; uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongasindisa umuntu enkohlakalweni nasesimweni sakhe esiphansi sakudala. Nakuba uMoya uyingqikithi yemvelo kaNkulunkulu, umsebenzi ofana nalo ungenziwa kuphela inyama Yakhe. Uma uMoya usebenze wodwa, umsebenzi Wakhe-ke ngeke usebenze ngokunomthelela—leli yiqiniso elimsulwa. Nakuba abantu abaningi sebephenduke izitha zikaNkulunkulu ngenxa yale nyama, lapho uNkulunkulu eqeda umsebenzi Wakhe, labo abamelene Naye ngeke bayeke kuphela ukuba izitha Zakhe, kodwa kuyokwenzeka okuphambene ngokuthi babe ofakazi Bakhe. Bayoba ofakazi abanqotshwe Nguye, ofakazi abafanelekayo Kuye futhi abangehlukaniseki Naye. Wenza ukuba umuntu azi ukubaluleka komsebenzi Wakhe kumuntu esenyameni yomuntu, futhi umuntu kufanele akwazi ukubaluleka kwale nyama enjongweni yokuba khona komuntu, azi indima Yakhe yangempela ekukhuleni kokuphila komuntu, futhi ngaphezu kwalokho, azi ukuthi le nyama iyoba umthombo ophilayo wokuphila umuntu angeke akwazi ukwahlukana nakho. Nakuba inyama kaNkulunkulu ikude kakhulu nokufana nomfanekiso nesikhundla sikaNkulunkulu, futhi kumuntu ibonakala ingafanelani nesikhundla Sakhe sangempela, le nyama, engasivezi ngempela isithombe esicacile sikaNkulunkulu, noma isiqu sangempela sikaNkulunkulu, ingenza umsebenzi uMoya kaNkulunkulu ongeke ukwazi ukuwenza ngokuqondile. Kunjalo ukubaluleka nomsebenzi wangempela wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, futhi yilokhu kubaluleka nokuba nomsebenzi kwakho umuntu angakwazisi futhi angakuvumi. Nakuba bonke abantu bephakamisa uMoya kaNkulunkulu futhi bebukela phansi inyama kaNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi babuka kanjani futhi bacabangani, ukubaluleka kwangempela nokuba yigugu kwenyama kukudlula kude okoMoya. Empeleni, lokhu kumayelana nesintu esikhohlakele kuphela. Kuwo wonke umuntu ofuna iqiniso futhi olangazelela ukubonakala kukaNkulunkulu, umsebenzi kaMoya unganika kuphela ukunyakaziseka nesambulo, nomuzwa wokumangala ongachazeki futhi ongacabangeki, futhi nomuzwa wokuthi mkhulu, uphakeme, futhi uyaziseka, kodwa akufikeki kuwo futhi awutholakali nhlobo. Umuntu noMoya kaNkulunkulu bengabukelana kude kuphela, sengathi kunebanga elide phakathi kwabo, futhi abasoze bafana, sengathi umuntu noNkulunkulu bahlukaniswe umngcele ongabonakali. Eqinisweni, lokhu ukulutheka umuntu akunikwe uMoya, okubangelwa ukuthi umuntu noMoya abalona uhlobo olulodwa, futhi uMoya nomuntu abasoze baphila ndawonye emhlabeni owodwa, nokuthi uMoya awunalutho lomuntu. Ngakho umuntu akawudingi uMoya, ngoba uMoya awukwazi ukwenza ngokuqondile umsebenzi odingwa kakhulu umuntu. Umsebenzi wenyama unikeza umuntu imigomo yangempela angayilandela, amazwi acacile, nomuzwa wokuthi ungokoqobo futhi ujwayelekile, uthobekile futhi uvamile. Nakuba umuntu angase amesabe, kubantu abaningi kulula ukuzwana naye: Umuntu angabubona ubuso Bakhe, ezwe izwi Lakhe, futhi akadingeki ukumbukela kude. Le nyama izwakala kusondeleka kuyo, ayikude, akulukhuni ukuyiqonda, kodwa iyabonakala futhi iyathinteka, ngoba le nyama isemhlabeni owodwa nomuntu.

Kubo bonke labo abaphila enyameni, ukuguqula isimo sabo kudinga ukuthi babe nemigomo yokulandelwa, futhi ukwazi uNkulunkulu kudinga ukuba ukufakaza ngezenzo Zakhe zangempela nobuso Bakhe bangempela. Kokubili lokhu kungafezwa ngenyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, futhi kokubili kungafezwa kuphela ngenyama evamile nengokoqobo. Yingakho ukuba sesimweni somuntu kudingekile, futhi yikho okwenza adingwe yiso sonke isintu esikhohlakele. Njengoba abantu kudingeka ukuthi bazi uNkulunkulu, izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali futhi abanamandla angaphezu kwemvelo kumele zixoshwe ezinhliziyweni zabo, futhi njengoba kudingeka ukuba balahle isimo sabo esikhohlakele, kumele bazi kuqala isimo sabo esikhohlakele. Uma umuntu enza kuphela umsebenzi ngenjongo yokuxosha izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali ezinhliziyweni zabantu, ngeke-ke aphumele ukufeza umphumela ocacile. Izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali abasezinhliziyweni zabantu azinakwembulwa, zisuswe noma zixoshwe ngokuphelele ngamazwi kuphela. Ngokwenza kanjalo, ekugcineni kuyoba yinto engenakwenzeka ukukhipha lezi zinto ezijulile kubantu. Ukushintshanisa lezi zinto ezingacacile futhi ezinamandla angaphezu kwemvelo noNkulunkulu ongokoqobo kuphela nesithombe sangempela sikaNkulunkulu, ukwenza abantu ukuba bazazi kancane kancane, okungafeza umphumela ofanele. Umuntu uyabona ukuthi uNkulunkulu ayemfuna ngezinye izikhathi ezedlule akaqondakali futhi unamandla angaphezu kwavamile. Into engazuza lokhu akukhona ukuhola okuqondile kukaMoya, ingasaphathwa eyezimfundiso zomuntu, kodwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. Imicabango yomuntu isala ngemuva lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu esenza umsebenzi Wakhe, ngoba ukuvama nokuba ngokoqobo kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kungqubuzana nonkulunkulu abangaqondakali nabanamandla angaphezu kwavamile abasezingqondweni zabantu. Umcabango oyiwona womuntu ungembulwa kuphela ngokuthi uqhathaniswe noNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngaphandle kokumqhathanisa noNkulunkulu osesimweni somuntu, imicabango yomuntu ayisobe yembulwa; ngamanye amazwi, ngaphandle kokuqhathanisa, ukuba ngokoqobo kwezinto ezingaqondakali akusobe kwembulwa. Akekho okwazi ukusebenzisa amazwi ukuze enze lo msebenzi, futhi akekho okwazi ukucacisa lo msebenzi esebenzisa amazwi. NguNkulunkulu kuphela ongenza umsebenzi Wakhe, futhi akekho omunye ongenza lo msebenzi esikhundleni Sakhe. Akunandaba ukuthi ulimi olukhulunywa umuntu lucebe kangakanani, ngeke akwazi ukuveza ukuba ngokoqobo nokuvama kukaNkulunkulu. Umuntu uNkulunkulu angamazi kangcono, futhi ambone ngokucacile, uma uNkulunkulu esebenza Yena mathupha phakathi kwabantu futhi aveze indlela abukeka ngayo nesiqu Sakhe. Lokhu ngeke kufezwe yinoma imuphi umuntu wenyama. Empeleni, uMoya kaNkulunkulu nawo awukwazi ukufeza lokhu. UNkulunkulu angasindisa isintu esonakele ethonyeni likaSathane, kodwa lo msebenzi ngeke ufeze ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu; kunalokho ungafezwa kuphela inyama enoMoya kaNkulunkulu, inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Le nyama ingumuntu futhi inguNkulunkulu, inyama enobuntu obuvamile futhi uNkulunkulu ayinike wonke amandla aphezulu. Ngakho, ngisho noma le nyama ingewona uMoya kaNkulunkulu, futhi yehluka kakhulu eMoyeni, isenguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo osindisa isintu, owuMoya futhi oyinyama. Akunandaba ukuthi ubizwa ngani, ekugcineni usenguNkulunkulu osindisa isintu. Ngoba uMoya kaNkulunkulu awubonakali enyameni, futhi umsebenzi wenyama uphinde ube umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu; umehluko kumane kube ukuthi lo msebenzi awenziwa kusetshenziswa isiqu sikaMoya, kodwa kusuke kusetshenziswa isiqu senyama. Umsebenzi odinga ukwenziwa uMoya ngokuqondile awumdingi uNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi umsebenzi owenziwe inyama ngeke uqondiswe uMoya, kodwa ungenziwa kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu. Yilokhu okudingekayo kulo msebenzi, futhi nokudingwa yisintu esikhohlakele. Ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, sisodwa isigaba esenziwa siqondiswa uMoya, futhi ezinye izigaba ezimbili zaziqondiswa uNkulunkulu osesimweni somuntu, zingaqondiswa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi weNkathi Yomthetho owenziwa uMoya wawungabandakanyi ukushintsha isimo esikhohlakele somuntu, futhi awuzange udinge noma yiluphi ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu. Umsebenzi wenyama kaNkulunkulu eNkathini Yomusa naseNkathini Yombuso, uhlanganisa isimo somuntu esikhohlakele nolwazi lwakhe ngoNkulunkulu, futhi uyingxenye ebalulekile nebucayi yomsebenzi wensindiso. Ngakho, isintu esikhohlakele siyidinga kakhulu insindiso kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi siwudinga kakhulu umsebenzi oqondile kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Isintu sidinga ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu aseluse, aseseke, asiphuzise, asondle, asahlulele futhi asijezise, futhi siwudinga kakhulu umusa nokutakulwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu wenyama kuphela, ongaba ithemba lomuntu, umelusi womuntu, nosizo lwamanje lomuntu, futhi konke lokhu kuyisidingo sikaNkulunkulu osesimweni somuntu namuhla nasezikhathini ezedlule.

Umuntu wonakaliswe uSathane, futhi uyisidalwa sikaNkulunkulu esiphakeme kunezinye, ngakho umuntu udinga ukusindiswa uNkulunkulu. Injongo yokusindisa kukaNkulunkulu ngumuntu, hhayi uSathane, futhi into okufanele isindiswe inyama yomuntu kanye nomphefumulo wakhe, hhayi udeveli. USathane uyena uNkulunkulu ahlose ukumbhubhisa, umuntu uyinjongo yensindiso kaNkulunkulu, futhi inyama yomuntu yonakaliswe uSathane, ngakho okusindiswa kuqala kufanele kube inyama yomuntu. Inyama yomuntu yonakaliswe kakhulu, futhi ibe yinto emelene noNkulunkulu, emelana ngisho ngokusobala noNkulunkulu futhi ize iphike ubukhona bukaNkulunkulu. Le nyama eyonakele ayinakulawuleka, futhi ayikho into okunzima ukubhekana nayo noma ukuyiguqula ukwedlula isimo esonakele senyama. USathane ufike aphazamise inyama yomuntu, futhi asebenzise inyama yomuntu ukuze aphazamise umsebenzi kaNkulunkulu kanye nohlelo lukaNkulunkulu, ngaleyo ndlela umuntu agcine esephenduke uSathane, kanye nesitha sikaNkulunkulu. Ukuze umuntu asindiswe, kumele aqale anqotshwe. Kungenxa yalokhu ukuthi uNkulunkulu amukele inselelo bese eba senyameni ukuze enze umsebenzi ahlose ukuwenza futhi alwe impi noSathane. Injongo Yakhe ukusindiswa kwesintu, esonakalisiwe, nokunqotshwa nokubhjiswa kukaSathane, ohlubuka Kuye. Unqoba uSathane ngomsebenzi Wakhe wokunqoba umuntu, abe esindisa isintu esonakele ngaso leso sikhathi. Ngalokho, kuwumsebenzi ofeza izinhloso ezimbili kanyekanye. Usebenza enyameni, akhulume enyameni, futhi enze wonke umsebenzi enyameni ukuze axhumane kangcono nomuntu futhi amnqobe kangcono umuntu. Isikhathi sokugcina uNkulunkulu aba kuso yinyama, umsebenzi Wakhe wezinsuku zokugcina uyophothulwa enyameni. Uyohlukanisa bonke abantu ngokwezinhlobo zabo, asonge wonke lo msebenzi wokuphatha, futhi aqede wonke umsebenzi Wakhe enyameni. Ngemva kokuphela kwawo wonke lo msebenzi Wakhe wasemhlabeni, uyoba ngumnqobi ngokuphelele. Esebenza enyameni, uNkulunkulu uyobe esesinqobe ngokuphelele isintu, futhi esesizuzile isintu. Ingabe lokho akusho yini ukuthi wonke umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha uyobe usufike ekugcineni? Lapho uNkulunkulu ephothula umsebenzi Wakhe wokuphatha enyameni, njengoba ehlule uSathane futhi wamnqoba, uSathane ngeke esaba nalo elinye ithuba lokonakalisa isintu. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuqala esesimweni somuntu kwakuwukuhlengwa nokuthethelelwa kwezono zomuntu. Manje sekuwumsebenzi wokunqoba nokuzuza isintu ngokugcwele, ukuze uSathane engabe esaba nayo enye indlela yokwenza umsebenzi wakhe, futhi uyobe esehlulwe ngokuphelele, uNkulunkulu uyobe esenqobe ngokuphelele. Lona umsebenzi wenyama, futhi umsebenzi owenziwe uNkulunkulu uqobo. Umsebenzi wokuqala wezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wenziwa uMoya, hhayi inyama. Umsebenzi wokugcina wezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, wona wenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu, awenziwa uMoya ngokuqondile. Umsebenzi wokuhlenga wesigaba esiphakathi nawo wenziwa inyama kaNkulunkulu. Kuwoi wonke umsebenzi wokuphatha, umsebenzi obaluleke kakhulu umsebenzi wokusindisa abantu ethonyeni likaSathane. Umsebenzi ophambili ukunqotshwa okuphelele komuntu okhohlakele, ngaleyo ndlela kubuyiselwe esimweni esiyiso ukuhlonipha kwasekuqaleni uNkulunkulu enhliziyweni yomuntu onqotshiwe, futhi avunyelwe ukuba aphile ukuphila okujwayelekile, okuwukuthi, ukuphila okujwayelekile kwesidalwa sikaNkulunkulu. Lo msebenzi ubucayi futhi uwumgogodla womsebenzi wokuphatha. Ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso, isigaba sokuqala somsebenzi weNkathi Yomthetho sasikude nomongo womsebenzi wokuphatha; sasinenswebu encane yomsebenzi wokusindisa, futhi sasingesona isiqalo somsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa umuntu ekubusweni uSathane. Isigaba sokuqala somsebenzi senziwa uMoya ngokuqondile, ngenxa yokuthi ngaphansi komthetho, umuntu wayazi kuphela ukunamathela emthethweni, wayengenalo iqiniso elengeziwe, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi weNkathi Yomthetho kwakwethukela uhlanganisa izinguquko esimweni somuntu, kuncane kakhulu okwakubandakanyekile emsebenzini wokusindisa umuntu ekubusweni uSathane. Ngakho uMoya kaNkulunkulu waqeda lesi sigaba esiphakeme somsebenzi esasingahlanganisi isimo esikhohlakele somuntu. Lesi sigaba somsebenzi sazala ubuhlobo emsebenzini owumgogodla wokuqondisa, futhi asihlanganisi lutho olutheni emsebenzini osemthethweni wensindiso, futhi awudingi ukuba uNkulunkulu abe inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Umsebenzi owenziwa uMoya awukho obala, futhi awuqondakali, uphinde wesabeke ngokujulile futhi umuntu akakwazi ukusondela kuwo; kunzima ngoMoya ukuba uqondise umsebenzi wensindiso, nokunikeza umuntu ukuphila ngokuqondile. Okufaneleka kakhulu ngomuntu ukuba aguqule umsebenzi kaMoya uvumelane naye, okusho ukuthi, lokho okufaneleka kumuntu ukuthiuNkulunkulu abe umuntu ojwayelekile, ovamile ukuze enze umsebenzi Wakhe. Lokhu kudinga uNkulunkulu osesimweni somuntu ozokwenza umsebenzi kaMoya, futhi kumuntu ayikho indlela efanelekayo yomsebenzi kaNkulunkulu. Phakathi kwalezi zigaba ezintathu, izigaba ezimbili zenziwa inyama, futhi lezi zigaba ezimbili ziwumgogodla womsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa. Ababili abasamuntu bayaphelelisana. Isigaba sokuqala sikaNkulunkulu osesimweni somuntu sabeka isisekelo sesigaba sesibili, futhi kungashiwo ukuthi oNkulunkulu ababili abasamuntu bayaphelelisana, futhi bayavumelana. Lezi zigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwa uNkulunkulu ngomzimba Wakhe wenyama ngoba zibaluleke kakhulu emsebenzini kaNkulunkulu wokuphatha. Kungacishe kushiwo ukuthi, ngaphandle komsebenzi woNkulunkulu ababili abasamuntu, wonke umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ubuyoma nse futhi umsebenzi wokusindisa isintu uyoba izinkulumo nje ezingasho lutho. Ukubaluleka nokungabaluleki kwalo msebenzi kuncike ezidingweni zabantu, nokuthi sikhohlakele ngezinga elingakanani isintu, nesimo sokungalaleli kukaSathane nokuphazamisa kwaso umsebenzi. Lowo ofanele owulungele umsebenzi uphakanyiswe ngokwesimo somsebenzi owenziwa yisisebenzi, nokubaluleka komsebenzi. Uma kuziwa ekubalulekeni kwalo msebenzi, ekutheni iyiphi indlela okufanele isetshenziswe—umsebenzi owenziwa ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu, noma owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu, noma owenziwa umuntu—umsebenzi oyoqedwa kuqala owenziwa umuntu, futhi, ngenxa yohlobo lomsebenzi, kanye nomsebenzi kaMoya okanye nomsebenzi wenyama, ekugcineni kuyonqunywa ukuthi umsebenzi owenziwa inyama umzuzisa kangcono yini umuntu kunomsebenzi owenziwa uMoya, futhi unezinzuzo eziningi. Lona umcabango uNkulunkulu ngaleso sikhathi anquma ngawo ukuthi umsebenzi wenziwa uMoya noma inyama. Kunokubaluleka nezisekelo ezisesigabeni ngasinye somsebenzi. Aziyona nje imicabango engasekelwe ndawo, futhi azenziwa nje ngokungalandeli mgomo; kunokuhlakanipha okuthile kuzo. Linjalo iqiniso elisemva kwawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu. Ngokukhethekile, kunohlelo oluthe xaxa lukaNkulunkulu emsebenzini onjalo njengoba uNkulunkulu osesimweni somuntu esebenza mathupha Phakathi kwabantu. Ngakho, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, nobuyena bonke kuvezwe kuzo zonke izenzo Zakhe, ukucabanga, umqondo ekusebenzeni; lokhu kungubunjalo bukaNkulunkulu obuphathekayo futhi obinohlelo. Le micabango nemicabango ecashile inzima kakhulu ukuba umuntu ayicabange, futhi kunzima kumuntu ukuba ayikholwe, ngaphezu kwalokho, kunzima ukuthi umuntu ayazi. Umsebenzi owenziwe umuntu ungowemigomo evamile, ngokomuntu, okwenelisa kakhulu. Kodwa uma uqhathaniswa nomsebenzi kaNkulunkulu, kuba nomehluko omkhulu; nakuba izenzo zikaNkulunkulu zinkulu futhi umsebenzi kaNkulunkulu usezingeni elikhulu, emva kwawo kunezinhlelo namalungiselelo okuncanyana nokuqonde ngqo umuntu angenakukucabanga. Zonke izigaba zomsebenzi womuntu azisekelwe emgomeni kuphela, kodwa futhi ziphethe izinto eziningi ezingeke zikhulumeke ngolimi lwabantu, futhi lezi izinto ezingabonakali emehlweni omuntu. Kungakhathaleki ukuthi umsebenzi kaMoya noma kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ngamunye uqukethe izinhlelo zomsebenzi Wakhe. Akasebenzi ngokungenasisekelo, futhi akenzi umsebenzi ongabalulekile. Lapho uMoya usebenza ngokuqondile kusuke kungenxa yemigomo Yakhe, futhi lapho eba umuntu (okungukuthi, lapho eguqula ingxenye Yakhe yangaphandle) ukuze asebenze, kusuke kungokwenjongo Yakhe kakhulu. Yini enye engamenza aguqule isiqu Sakhe kalula nje? Yini enye engamenza abe ngumuntu obhekwa njengophansi futhi ohlushwayo?

Umsebenzi Wakhe enyameni yiwona obaluleke kakhulu, okuyiwona okuvame ukubhekiswa kuwo uma kukhulunywa ngomsebenzi, futhi Lowo oyosonga lo msebenzi uNkulunkulu osesimweni somuntu, hhayi uMoya. Abanye bakholwa ukuthi ngezinye izikhathi uNkulunkulu angeza emhlabeni ukuze abonakale kumuntu, lapho eyokwahlulela isintu mathupha, avivinye umuntu ngamunye kungasali muntu. Labo abacabanga kanjalo abasazi lesi sigaba sikaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu akahluleli umuntu ngamunye, futhi akavivinyi umuntu ngamunye; ukwenza lokho bekungeke kube umsebenzi wokwahlulela. Ingabe ayifani inkohlakalo yaso sonke isintu? Ingabe ayifani yonke ingqikithi yomuntu? Okwahlulelwayo isiqu sesintu esikhohlakele, isiqu somuntu esonakaliswe uSathane, nazo zonke izono zomuntu. UNkulunkulu akehluleli amaphutha amancane nangabalulekile omuntu. Umsebenzi wokwahlulela kukhona okumelayo, awenziwa ngenxa yomuntu othile kuphela. Kunalokho, uwumsebenzi okwahlulelwa kuwo iqembu labantu ukuze kwahlulelwe sonke isintu. Ngokwenza Kwakhe lo msebenzi mathupha kulo lonke iqembu labantu, uNkulunkulu osenyameni usebenzisa umsebenzi Wakhe ukumela umsebenzi waso sonke isintu, ngemva kwawo oya ngokuya wanda. Nomsebenzi wokwahlulela unjalo. UNkulunkulu akahluleli uhlobo oluthile lomuntu noma iqembu elithile labantu, kodwa wahlulela abangalungile kuso sonke isintu—ukumelana noNkulunkulu kwabantu, ngokwesibonelo, noma ukungamhloniphi, noma ukuphazamiseka komsebenzi kaNkulunkulu, njalo njalo. Okwahlulelwayo yingqikithi yokumelana kwesintu noNkulunkulu futhi lo msebenzi ungumsebenzi wokunqoba ngezinsuku zokugcina. Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu osesimweni somuntu okubonwa umuntu kuwumsebenzi wakwahlulela ongaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi phakathi nezinsuku zokugcina, izinto ezacatshangwa umuntu esikhathini esedlule. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu uwukwahlulela ngqo okungaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi. UNkulunkulu osesimweni somuntu wanamuhla unguNkulunkulu owahlulela sonke isintu ezinsukwini zokugcina. Le nyama nomsebenzi Wakhe, nezwi kanye naso sonke isimo Sakhe, konke kungokwakhe. Nakuba umthamo womsebenzi wakho unomkhawulo, futhi ungabandakanyi indawo yonke ngokuqondile, ingqikithi yomsebenzi wokwahlulela iwukwahlulelwa ngokuqondile kwaso sonke isintu— hhayi ngenxa yabantu abakhethiweyo baseChina kuphela, noma ngenxa yabantu abambalwa. Ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu enyameni, nakuba umthamo womsebenzi ungabandakanyi indawo yonke, umela umsebenzi wendawo yonke, futhi ngemva kokuqeda umsebenzi osemthamweni wenyama Yakhe, lo msebenzi uyowusabalalisela ngokushesha endaweni yonke, ngendlela efanayo nalena ivangeli likaJesu elasabalala ngayo endaweni yonke ngemva kokuvuka nokunyukela ezulwini Kwakhe. Kungakhathaleki ukuthi kungumsebenzi kaMoya noma wenyama, kuwumsebenzi ofezwa ngaphansi komthamo othile, kodwa omela umsebenzi wayo yonke indawo. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubonakala enza umsebenzi Wakhe esebenzisa ukubonakala Kwakhe okusamuntu, futhi uNkulunkulu osesimweni somuntu uyena owahlulela abantu esesihlalweni esimhlophe sobukhosi. Kungakhathaleki ukuthi unguNkulunkulu kaMoya noma wenyama, lowo owenza umsebenzi wokwahlulela unguNkulunkulu owahlulela isintu ngezinsuku zokugcina. Lokhu kuchazwa ngokusekelwa emsebenzini Wakhe, akuchazwa ngendlela abukeka ngayo ngaphandle noma kwezinye izinto eziningi. Nakuba umuntu enemicabango yakhe ngala mazwi, akekho ongaphikisana nokwahlulela kukaNkulunkulu osesimweni somuntu nokunqotshwa kwaso sonke isintu. Kungakhathaleki ukuthi umuntu ucabangani ngakho, amaqiniso ayohlale engamaqiniso. Akekho ongathi “Umsebenzi wenziwa uNkulunkulu, kodwa inyama ayiyena uNkulunkulu.” Umbhedo lowo, ngoba lo msebenzi awunakwenziwa muntu ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Njengoba lo msebenzi usufeziwe, kulandelwa lo msebenzi, umsebenzi wokwahlulela ngeke usenziwa okwesibili; uNkulunkulu esesimweni somuntu okwesibili usewusonge wonke umsebenzi wokuphatha, kufanele kube nesigaba sesine somsebenzi kaNkulunkulu. Ngoba lowo owahlulelwayo ngumuntu, umuntu wenyama owonakalisiwe, hhayi umoya kaSathane owahlulelwa ngokuqondile, umsebenzi wokwahlulela awenziwa ezweni likaMoya kodwa phakathi kwabantu. Akekho ofaneleka ukwedlula uNkulunkulu osesimweni somuntu ukwenza umsebenzi wokwahlulela inyama yomuntu ekhohlakele. Ukuba ukwahlulela kwakwenziwa ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu, ngabe-ke konke kulungile. Ngaphezu kwalokho, lowo msebenzi ubuyobe ulukhuni ukuthi umuntu awemukele, ngoba uMoya awukwazi ukubhekana ubuso nobuso nomuntu, futhi ngenxa yalokhu, imiphumela ngeke isheshe ivele, futhi umuntu ngeke akwazi ukubona ukungacasuleki kwesimo sikaNkulunkulu ngokucacile. USathane anganqotshwa ngokuphelele kuphela uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ahlulela ukonakala kwesintu. Ngokufana nomuntu onobuntu obuvamile, uNkulunkulu osenyameni angehlulela ngokuqondile ukungalungi komuntu; lokhu kuwuphawu lobungcwele Bakhe bemvelo, nolokungajwayeleki Kwakhe. UNkulunkulu kuphela ofanelekayo, futhi osesikhundleni sokwahlulela umuntu, ngoba uneqiniso nokulunga, ngakho angakwazi ukwahlulela umuntu. Labo abangenalo iqiniso nokulunga abakufanele ukwahlulela abanye. Ukuba lo msebenzi wawenziwa uMoya kaNkunkulu, bekungeke kube ukunqoba phezu kukaSathane. UMoya ungaphezulu kakhulu kwezidalwa ezifayo, futhi uMoya kaNkulunkulu ngendalo ungcwele, uyayinqoba inyama. Ukuba uMoya wenza lo msebenzi ngokuqondile, ubengeke akwazi ukwahlulela konke ukungalaleli komuntu, futhi ubengeke akwazi ukwambula konke ukungalungi komuntu. Ngoba umsebenzi wokwahlulela wenziwa futhi ngemicabango yomuntu ngoNkulunkulu, futhi umuntu akaze abe nemicabango yoMoya, futhi uMoya akakwazi kangcono ukwambula ukungalungi komuntu kube lukhuni ngokwengeziwe ukuveza kangcono ukungalungi okunjalo. UNkulunkulu osesimweni somuntu uyisitha sabo bonke labo abangamazi. Ekwahluleleni imicabango yabantu nalabo abamelene Naye, uveza konke ukungalaleli kwesintu. Imiphumela yomsebenzi Wakhe enyameni ibonakala ngokucacile kuneyomsebenzi kaMoya. Ngakho ukwahlulelwa kwaso sonke isintu akwenziwa uMoya ngokuqondile, kodwa kuwumsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu osenyameni angabonwa noma athintwe umuntu, futhi angamnqoba ngokuphelele umuntu. Ebudlelwaneni bakhe noNkulunkulu osesimweni somuntu, umuntu uqhubeka esuka ekuphikiseni aye ekulaleleni, ekushushiseni aye ekwamukeleni, ekucabangeni aye olwazni, ekwaleni aye othandweni. Lena imiphumela yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Umuntu usindiswa kuphela ngenxa yokuvuma ukwahlulelwa, bese eya ngokuya azi uNkulunkulu ngamazwi omlomo Wakhe, anqotshwe Nguye ekumelaneni Naye, futhi athole ukuphila kuye ngokwamukela kwakhe isijeziso. Wonke lo msebenzi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni, hhayi umsebenzi kaNkulunkulu onesiqu sikaMoya. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu umsebenzi omkhulu kakhulu, okuwumsebenzi obanzi kakhulu, futhi ingxenye ebaluleke kakhulu ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu yizigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu esesimweni somuntu. Inkohlakalo enkulu yomuntu iyisithiyo esikhulu emsebenzini kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ikakhulu, umsebenzi owenziwa kubantu bezinsuku zokugcina unzima kakhulu, nesimo sinonya, nezinga lomuntu ngamunye liphansi. Kodwa ekupheleni kwalo msebenzi, usazofeza umphumela wawo, ngaphandle kwezici ezimbi; lona ngumthelela womsebenzi wenyama, futhi lo mthelela ukwenza uvume ngokwengezekile kunomsebenzi kaMoya. Izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kufanele zisongwe enyameni, futhi ziphothulwe uNkulunkulu osesimweni somuntu. Umsebenzi obaluleke kakhulu futhi obucayi kakhulu yilona owenziwa enyameni, futhi insindiso yabantu kufanele ivele kuNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngisho noma sonke isintu besicabanga ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu akahlobene nomuntu, eqinisweni le nyama ithintene nokuphila kwaso sonke isintu.

Sonke isigaba somsebenzi kaNkulunkulu senzelwe sonke isintu, futhi siqondiswe kuso sonke isintu. Ngisho noma kungumsebenzi Wakhe enyameni, usaqondiswe kuso sonke isintu; unguNkulunkulu waso sonke isintu, futhi unguNkulunkulu wakho konke okudaliwe nokungadaliwe. Nakuba umsebenzi Wakhe enyameni unomthamo onomkhawulo, futhi nomgomo walo msebenzi nawo unomkhawulo, isikhathi ngasinye lapho eba inyama khona ukuze enze umsebenzi Wakhe, ukhetha injongo yomsebenzi wakhe enokumela okuphakeme; akakhethi nje ukusebenza neqembu labantu abangavelele, kunalokho ukhetha ukusebenza neqembu elikwaziyo ukuba abantu abamele umsebenzi Wakhe esenyameni. Leli qembu labantu likhethwe ngenxa yokuthi umthamo womsebenzi Wakhe unomkhawulo, futhi ulungiselelwe ngokukhethekile umsebenzi wenyama Yakhe. Ukukhetha kukaNkulunkulu lezi zinto emsebenzini Wakhe akuyona into engenasisekelo, kodwa ngokomgomo: Inhloso yomsebenzi kumele izuzise umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi kumele imele sonke isintu. Ngokwesibonelo, amaJuda ayekwazi ukumela sonke isintu ngokwamukela ukuhlengwa nguJesu, futhi amaShayina ayakwazi ukumela sonke isintu ngokwamukela ukunqoba kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Kunesisekelo sokumela kwamaJuda sonke isintu, futhi kunesisekelo sokumela kwamaShayina sonke isintu ngokwamukela ukunqoba kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Akukho okwembula ukubaluleka kokuhlengwa ukwedlula umsebenzi wokuhlenga owenziwa phakathi kwamaJuda, futhi akukho okwembula ukuphelela nempumelelo komsebenzi wokunqoba ngokungaphezulu komsebenzi wokunqobaphakathi kwamaShayina. Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu osesimweni somuntu kubonakala kuphela kubhekiswe eqenjini elincane labantu, kodwa eqinisweni, umsebenzi Wakhe phakathi kwaleli qembu elincane labantu ungowendawo yonke, futhi izwi Lakhe libhekiswe kuso sonke isintu. Ngemva kokuphela komsebenzi wakhe enyameni, labo abamlandelayo bayoqala ukusakaza umsebenzi awenzile phakathi kwabo. Into engcono kakhulu ngomsebenzi Wakhe enyameni ukuthi angashiyela isintu amazwi anembayo nentando Yakhe eqondile kulabo abamlalelayo, ukuze ngemva kwalokho abalandeli Bakhe badlulise ngokunembayo wonke umsebenzi Wakhe wenyama nentando Yakhe kuso sonke isintu kulabo abayemukelayo le ndlela. Umsebenzi kaNkulunkulu wasenyameni kuphela phakathi kwabantu ofeza iqiniso lobukhona nokuhlala phakathi kwabantu kukaNkulunkulu. Yilo msebenzi kuphela ogcwalisa isifiso somuntu sokubona ubuso bukaNkulunkulu, ofakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu, futhi uzwe izwi loqobo likaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu uqeda inkathi lapho isintu sabona kuphela umhlane kaJehova, bese uqeda nenkolo yesintu kuNkulunkulu ongaqondakali. Ikakhulu, umsebenzi kaNkulunkulu wokugcina osesimweni somuntu uletha sonke isintu enkathini enokwangempela, enobuqobo, futhi ejabulisayo. Akagcini nje ngokuphothula inkathi yomthetho nemfundiso; okubaluleke nakakhulu, wembula esintwini uNkulunkulu ongowempela, ojwayelekile, olungile futhi ongcwele ovula umsebenzi wohlelo lokuphatha, aveze izimfihlakalo nesiphetho sesintu, owadala isintu futhi oqeda umsebenzi wokuphatha futhi obezifihlile izinkulungwane zeminyaka. Uletha inkathi yezinto ezingaqondakali ekupheleni, uphothula inkathi isintu esifisa ngayo ukubona ubuso bukaNkulunkulu kodwa singakwazi, uqeda inkathi isintu esikhonza ngayo uSathane, futhi aholele sonke isintu enkathini entsha. Konke lokhu kuwumphumela womsebenzi kaNkulunkulu enyameni esikhundleni sikaMoya kaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu esebenza enyameni Yakhe, labo abamlandelayo abasagcini nje ngokufuna nokuphumputha lezo zinto ezibonakala zikhona nezibonakala zingekho futhi bayayeka ukuqagela intando kaNkulunkulu ongaqondakali. Lapho uNkulunkulu esakaza umsebenzi Wakhe esenyameni, labo abamlandelayo kufanele badlulisele umsebenzi awenze esenyameni kuzo zonke izinkolo namahlelo, futhi bazokhuluma wonke amazwi Akhe ezindlebeni zaso sonke isintu. Konke okulalelwe yilabo abezwe ivangeli Lakhe kufanele kube amaqiniso omsebenzi Wakhe, kufanele kube yizinto umuntu azibonile futhi wazizwela zona, kufanele kube amaqiniso hhayi inzwabethi. La maqiniso awubufakazi asabalalisa ngabo umsebenzi Wakhe, futhi angamathuluzi awasebenzisayo ekusakazeni umsebenzi. Ngaphandle kokuba khona kwamaqiniso, ivangeli Lakhe lalingeke lisabalale kuwo wonke amazwe nakuzo zonke izindawo; wayengeke akwazi ukunqoba indawo yonke, wayeyogcina ngokukucabanga engqondweni. Umuntu akakwazi ukuthinta umoya futhi akawuboni, futhi umsebenzi wenyama awukwazi ukushiya ubufakazi noma amaqiniso ngomsebenzi kaNkulunkulu kumuntu. Umuntu akasoze abone ubuso bangempela bukaNkulunkulu, futhi uyohlala ekholwa kuNkulunkulu ongaqondakali ongekho. Umuntu akasoze abone ubuso bangempela bukaNkulunkulu, futhi ngeke ezwe amazwi uNkulunkulu awakhulume mathupha. Imicabango yomuntu, vele, iyize, ayinakungena esikhundleni sobuso bukaNkulunkulu bangempela; isimo sikaNkulunkulu semvelo, nomsebenzi Wakhe uqobo ngeke umelwe umuntu. UNkulunkulu ongabonakali osezulwini nomsebenzi Wakhe kungalethwa emhlabeni uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ozenzela mathupha umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Lena indlela enhle kakhulu uNkulunkulu avela ngayo kubantu, abantu abambona ngayo uNkulunkulu futhi bazi ubuso Bakhe, ngeke kufezwe uNkulunkulu ongekho esimweni somuntu. UNkulunkulu lapho esenze umsebenzi Wakhe kulesi sigaba, umsebenzi Wakhe usuvele usube nomphumela omuhle futhi ube impumelelo ephelele. Umsebenzi wamathupha kaNkulunkulu esenyameni usuyiqedile kakade ingxenye engamaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye yakho konke ukuphatha Kwakhe. Le nyama yenze kwaba nesiqalo esingcono kuwo wonke umsebenzi Wakhe, futhi iwukufingqwa kwawo wonke komsebenzi Wakhe, isabalalise wonke umsebenzi Wakhe, futhi isimemezele wonke umsebenzi Wakhe, yaphinde yagcwalisa ngokuphelele kuwo wonke lo msebenzi. Ukusuka lapho, ngeke kube nomunye uNkulunkulu osesimweni somuntu ozokwenza isigaba sesine somsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngeke kusaba nomunye umsebenzi omangalisayo kaNkulunkulu osesimweni somuntu okwesithathu.

Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu enyameni simela umsebenzi Wakhe wayo yonke inkathi, futhi asimeli inkathi ethile njengomsebenzi womuntu. Ngakho isiphetho somsebenzi Wakhe esesimweni somuntu wokugcina, asisho ukuthi umsebenzi usuphele ngokuphelele, ngoba umsebenzi Wakhe umela yonke inkathi, awumeli inkathi asuke enza ngayo umsebenzi Wakhe kuphela. Kumane kuwukuthi nje uqeda umsebenzi wayo yonke inkathi ngesikhathi esenyameni, ngemva kwalokho usabalele kuzo zonke izindawo. Ngemva kokuba uNkulunkulu osesimweni somuntu efeze inkonzo Yakhe, umsebenzi Wakhe olandelayo uyowunika abalandeli Bakhe. Ngale ndlela, umsebenzi Wakhe wayo yonke inkathi uyoqhubeka ungaphazamiseki. Umsebenzi wayo yonke inkathi kaNkulunkulu osesimweni somuntu kuyothiwa uphelile uma ususabalale kuyo yonke indawo. Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu uyongenisa inkathi entsha, labo abayoqhubeka nomsebenzi Wakhe bayobe bengabantu abasetshenziswa Nguye. Wonke umsebenzi owenziwa umuntu ungaphansi kwenkonzo yomuntu kuNkulunkulu osesimweni somuntu, awukwazi ukudlula umthamo wawo. Uma uNkulunkulu osesimweni somuntu engezi azokwenza umsebenzi Wakhe, abantu ngeke bakwazi ukuqeda inkathi endala, futhi abakwazi ukungenisa inkathi entsha. Umsebenzi owenziwa umuntu umane uyilokho okungafezwa umuntu futhi awummeli uNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongeza aqede umsebenzi okufanele awenze, ngaphandle Kwakhe, akekho omunye ongenza lo msebenzi. Eqinisweni, engikhuluma ngakho kumayelana nomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Lo Nkulunkulu osesimweni somuntu uqale enze isinyathelo somsebenzi esingahambisani nemicabango yomuntu, aphinde enze neminye futhi nayo engahambisani nemicabango yomuntu. Injongo yomsebenzi iwukunqotshwa komuntu. Ohlangothini olulodwa, uNkulunkulu osesimweni somuntu akahambisani nemicabango yomuntu, ngaphezu kokuthi wenza omunye umsebenzi ongahambisani nemicabango yomuntu, ngakho umuntu uba nemicabango engemihle Ngaye. Wenza nje umsebenzi wokunqoba phakathi kwabantu abanemicabango eminingi Ngaye. Kungakhathaleki ukuthi bamphatha kanjani, uma eseyifezile inkonzo Yakhe, bonke abantu bayoba ngaphansi kokubusa Kwakhe. Iqiniso lalo msebenzi akulona elamaShayina kuphela, kodwa umela sonke isintu esizonqoba. Imiphumela efezwe kulaba bantu yandulela ezofezwa kuso sonke isintu, futhi imiphumela yomsebenzi awenza esikhathini esizayo izokwedlula imiphumela kulaba bantu. Umsebenzi kaNkulunkulu enyameni awubandakanyi imikhosi emikhulu, futhi awucashile. Ungowempela futhi ungokoqobo, ungumsebenzi lapho okukodwa uma ukuhlanganisa nokukodwa kwenza okubili. Awucashile kubantu futhi awukhohlisi muntu. Lokho abantu abakubonayo kuyizinto eziwuqobo nezangempela, futhi umuntu uzuza iqiniso langempela nolwazi. Lapho umsebenzi uphela, umuntu uzoba nolwazi olusha Ngaye, futhi labo abamfuna ngobuqotho uNkulunkulu ngeke besaba nemicabango Ngaye. Lo akuwona nje umthelela womsebenzi wakhe emaShayineni, kodwa futhi kumela nomthelela womsebenzi Wakhe ekunqobeni sonke isintu, ngoba ayikho into ezuzisa ngaphezu komsebenzi wokunqoba sonke isintu kunale nyama, nomsebenzi wale nyama, nayo yonke into ekule nyama. Bawusizo emsebenzini wakhe wanamuhla, futhi bayoba usizo kuwo nasesikhathini esizayo. Le nyama izonqoba sonke isintu futhi izozuza sonke isintu. Awukho umsebenzi ongcono kunalo lapho sonke isintu siyobona khona uNkulunkulu, simlalele futhi simazi uNkulunkulu. Umsebenzi owenziwe umuntu umela umthamo onomkhawulo, futhi lapho uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe akakhulumi nomuntu othile, kodwa ukhuluma nesintu sonke, nabo bonke abamukela amazwi Akhe. Isiphetho akhuluma ngaso esabo bonke abantu, akusona nje esomuntu othile. Akekho amphatha ngendlela ekhethekile, futhi akekho ambandlululayo, futhi usebenzela, ukhulumela, sonke isintu. Ngakho lo Nkulunkulu osesimweni somuntu usesihlukanisile sonke isintu ngokwezinhlobo zaso, usesahlulele sonke isintu, futhi usehlele isiphetho esifanele saso sonke isintu. Nakuba uNkulunkulu umsebenzi Wakhe ewenza eChina kuphela, eqinisweni usewuxazululile umsebenzi wendawo yonke. Akakwazi ukulinda kuze kube yilapho umsebenzi Wakhe ususabalale kuso sonke isintu ngaphambi kokuba akhulume amazwi Akhe nezinhlelo isinyathelo ngesinyathelo. Ingabe ngeke kwephuze kakhulu lokho? Manje usekulungele ngokugcwele ukuqeda umsebenzi Wakhe ozayo ngaphambi kwesikhathi. Ngoba Lowo osebenzayo uNkulunkulu esesimweni somuntu, wenza umsebenzi ongenamkhawulo ngomthamo onomkhawulo, ngemva kwalokho uzokwenza umuntu enze umsebenzi Wakhe; lona umgomo womsebenzi Wakhe. Angaphila isikhathi esithile kuphela nomuntu, futhi ngeke ahambe nomuntu kuze kube yilapho umsebenzi wenkathi usuphelile. Kungenxa yokuthi unguNkulunkulu njengoba ebikezela ikusasa ngaphambi kwesikhathi. Ngemva kwalokho, uzohlukanisa sonke isintu ngokohlobo lwabo ngamazwi Akhe, isintu singene emsebenzini wesinyathelo ngesinyathelo ngokwamazwi Akhe. Akekho oyophunyuka, futhi bonke bayozilungiselela ngalokhu. Ngakho esikhathini ezayo inkathi iyoqondiswa ngamazwi Akhe, hhayi uMoya.

Umsebenzi kaNkulunkulu enyameni kumele wenziwe enyameni. Ukuba wenziwa ngokuqondileyo nguMoya kaNkulunkulu wawungeke ube nayo imiphumela. Ngisho ngabe wenziwa uMoya, umsebenzi wawungeke ube nokubaluleka ngalutho futhi ekugcineni wawungeke uthambise muntu. Zonke izidalwa zifisa ukwazi ukuthi umsebenzi woMdali unokubaluleka na, nalokho okumelayo, nokuthi ungowani, nokuthi ugcwele igunya nokuhlakanipha, noma unomsebenzi omkhulu nokubaluleka. Umsebenzi awenzayo owokusindisa sonke isintu, ngenjongo yokunqoba uSathane, nokuzifakazela kuzo zonke izinto. Ngenxa yalokhu umsebenzi awenzayo kumele ubaluleke kakhulu. Inyama yomuntu yonakaliswe uSathane, kanti-ke ayiboni, futhi ilimele kakhulu. Isizathu esibaluleke kakhulu esenza ukuthi uNkulunkulu asebenze enyameni ukuthi inhloso Yakhe ukusindisa abantu, abayinyama, nokuthi uSathane naye usebenzisa abantu ekuphazamiseni umsebenzi kaNkulunkulu. Impi noSathane empeleni ingumsebenzi wokunqoba umuntu, futhi ngesikhathi esifanayo, umuntu uyinto uNkulunkulu afuna ukuyisindisa. Ngale ndlela, umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ubalulekile. USathane wonakalise inyama yomuntu, umuntu waphenduka umfuziselo kaSathane, futhi waba yinto uNkulunkulu okufanele ayehlule. Ngale ndlela, umsebenzi wokulwa noSathane nokusindisa isintu wenzeka emhlabeni, futhi uNkulunkulu kumele eze emhlabeni ukuze asindise isintu. Lona umsebenzi ongokoqobo kakhulu. Lapho uNkulunkulu esebenza enyameni, usuke empeleni elwa noSathane enyameni. Lapho esebenza enyameni, usuke enza umsebenzi Wakhe endaweni yomoya, enza wonke umsebenzi Wakhe endaweni yomoya ube owangempela emhlabeni. Onqotshwayo umuntu, ongamlaleli, ohlulwa umfuziselo kaSathane (eqinisweni nalona kusewumuntu), osebutheni Naye, futhi lowo oyosindiswa ekugcineni kusewumuntu. Ngale ndlela, kubaluleke kakhulu Kuye ukuba abe umuntu onengxenye engaphandle yesidalwa, ukuze alwe impi yangempela noSathane, anqobe umuntu, ongamlaleli, futhi onengxenye engaphandle enjengaye, asindise abantu oselinyazwe uSathane. Isitha sakhe umuntu, into alwela ukuyinqoba umuntu, owadalwa Nguye. Ngakho kumele abe umuntu, futhi ngale ndlela, umsebenzi Wakhe uba lula. Uyakwazi ukwehlula uSathane, anqobe isintu, ngaphezu kwalokho, ukwazi ukusindisa isintu. Nakuba le nyama ivamile futhi ingokoqobo, akanayo inyama evamile: Akayona inyama yomuntu kuphela, kodwa uneyomuntu nenobunkulnkulu. Lona ngumehluko wakhe kumuntu, futhi uphawu lwesiqu sikaNkulunkulu. Inyama efana nalena kuphela engenza umsebenzi ahlose ukuwenza, ifeze inkonzo kaNkulunkulu enyameni, iwufeze ngokugcwele umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Ukuba bekungenjalo umsebenzi Wakhe ubuyohlale ungenalutho futhi ubuthakathaka. Ngisho noma uNkulunkulu angalwa futhi anqobe umoya kaSathane, imvelo endala yomuntu owonakele ayinakulungiswa, futhi labo abangamlaleli nabamelana Naye abasoze ngokweqiniso babe sekubuseni Kwakhe, okuwukuthi, akasoze asinqoba isintu, futhi ngeke asizuze sonke isintu. Uma umsebenzi Wakhe emhlabeni ungeke ulungiseke, ngakho ukuphatha Kwakhe ngeke kuphele, futhi sonke isintu asisoze sangena ekuphumuleni. Uma uNkulunkulu engakwazi ukungena ekuphumuleni nezidalwa Zakhe, ngeke ube bikho umphumela womsebenzi wokuphatha, futhi inkazimulo kaNkulunkulu iyonyamalala. Nakuba inyama Yakhe ingenalo igunya, umsebenzi awenzayo ubuyokufeza lokhu. Lokhu ukuqondisa okungenakuvinjwa komsebenzi Wakhe. Kungakhathaleki ukuthi inyama yakhe inalo igunya noma cha, uma nje uNkulunkulu esakwazi ukuzenzela umsebenzi, khona-ke unguNkulunkulu ozimele. Akunandaba ukuthi le nyama ibukeka ivame futhi ijwayeleke kangakanani, angawenza umsebenzi okufanele awenze, ngoba inyama Yakhe inguNkulunkulu ayiyena umuntu nje. Into eyenza le nyama yenze umsebenzi umuntu angeke awenze ukuthi isiqu Sakhe sangaphakathi asifani nesomuntu, futhi okungamenza asindise umuntu ukuthi isiqu Sakhe sihlukile kwesomuntu. Le nyama ibaluleke kakhulu esintwini ngoba ungumuntu, futhi unguNkulunkulu kakhulu, ngoba angenza umsebenzi umuntu ovamile oyinyama angeke akwazi ukuwenza, ngoba angasindisa umuntu okhohlakele, ophila Naye emhlabeni. Nakuba efana nomuntu, uNkulunkulu osesimweni somuntu ubaluleke kunawo wonke umuntu obalulekile esintwini, ngoba angenza umsebenzi ongeke wenziwe uMoya kaNkulunkulu, angedlula uMoya kaNkulunkulu ekwethuleni ubufakazi ngoNkulunkulu uqobo, futhi angasizuza kangcono isintu kunoMoya kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, nakuba inyama ivamile futhi ijwayelekile, umnikelo nokubaluleka kwayo ekubeni khona kwesintu kuyigugu kakhulu, ukubaluleka kwangempela kwale nyama akunakucatshangwa umuntu. Nakuba le nyama ingenakumbhubhisa ngokuqondile uSathane, angasebenzisa umsebenzi Wakhe ukuze anqobe isintu futhi ehlule uSathane, enze uSathane awuthobele ngokugcwele umbuso Wakhe. Ngenxa kaNkulunkulu osesimweni somuntu, uNkulunkulu engakwazi ukunqoba uSathane asindise isintu. Akambhubhisi ngokuqondile uSathane, kodwa uba inyama ukuze enze umsebenzi wokunqoba isintu, esonakaliswe uSathane. Ngale ndlela, ukwazi kangcono ukwethula ubufakazi Kuye uqobo phakathi kwezidalwa, futhi ukwazi kangcono ukusindisa isintu esonakalisiwe. Ukunqoba uSathane kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kuwubufakazi obukhulu, kunamandla okuvumisa, ukwedlula ukubhujiswa ngokuqondile kukaSathane nguMoya kaNkulunkulu. UNkulunkulu osenyameni ukulungele kangcono ukusiza abantu ukuthi bazi uMdali, futhi ukulungele kangcono ukwethula ubufakazi Ngaye uqobo phakathi kwezidalwa.

Okwedlule: Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu

Okulandelayo: Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp