Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?

Ngemva kokuba iqiniso lokuba yinyama kukaJesu libe khona, umuntu wayekholwa yilokhu: Ezulwini akukho kuphela uBaba, kodwa kuneNdodana, kanye noMoya imbala. Abantu bebelokhu bekholelwa, ukuthi kunalo Nkulunkulu ezulwini: uZiqu zintathu okunguYise, iNdodana, noMoya oNgcwele, bamunye. Bonke abantu banalo mbono othi: uNkulunkulu unguNkulunkulu oyedwa, kodwa owakhiwe yizingxenye ezintathu, lo mbono wabantu osugxilile uveza ukuthi kunoYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Lezo zingxenye zontathu zakha uNkulunkulu oyedwa. Ngaphandle kukaYise oNgcwele, uNkulunkulu ubengeke aphelele. Ngokufanayo, uNkulunkulu ubengeke aphelele ngaphandle kweNdodana noma uMoya oNgcwele. Ngokwemibono yabo, bakholelwa ukuthi akekho phakathi kukaYise yedwa noma iNdodana yodwa ongaba nguNkulunkulu ozimele. UYise, iNdodana noMoya oNgcwele kuphela onguNkulunkulu Ngokwakhe. Bonke abantu abasontayo, ngisho umlandeli ngayedwa phakathi kwenu, niyakukholelwa lokhu. Kepha, mayelana nokuthi le nkolelo iyiqiniso yini akekho owaziyo, kodwa kube kufanele, ngoba ngisho nezindaba eziphathelene noNkulunkulu Ngokwakhe. Nakuba lena kuyimibono, anazi ukuthi ilungile noma ayilungile, ngoba iye yakuthonya kakhulu ukucabanga kwenu. Niye nayamukela le mibono yenkolo futhi lo shevu uye wangena wagxila ezinhliziyweni zenu. Ngakho ngokufanayo, niye nathonywa yile nkolelo nakuba uZiqu Zintathu kuyinto engekho. Okuwukuthi, uZiqu Zintathu onguYise, yiNdodana noMoya oNgcwele yinto engekho. Lena kumane nje kuyimibono ejwayelekile yabantu, nezinkolelo zabantu ezingelona iqiniso. Emakhulwini amaningi eminyaka abantu bebekholelwa kulo Ziqu Zintathu, ngenxa yokudideka okubangelwa yimibono yabantu, eyasungulwa abantu, futhi engakaze ibonwe abantu. Phakathi nayo yonke le minyaka eminingi, kube khona abahlaziyi beBhayibheli abaningi abachaze “incazelo eyiqiniso” ngoZiqu Zintathu, kodwa lezo zincazelo zikaZiqu Zintathu ongabantu abathathu abahlukene kodwa besimo sinye azizange ziqondakale futhi azicacanga, futhi bonke abantu badidekile “ngesakhiwo” sikaNkulunkulu. Akekho umuntu oke wakwazi ukusichaza kahle; izincazelo eziningi zidlula obequnga ngokwencazelo nasephepheni, kodwa akekho ngisho noyedwa umuntu oye wayiqonda ngokugcwele le incazelo. Lokhu kubangelwa ukuthi lo Ziqu Zintathu wodumo abantu abawuthanda kangaka awukho. Akekho umuntu owake wabona ngokoqobo ubuso bukaNkulunkulu noma akekho owake waba nenhlanhla yokuvakashela lapho kuhlala khona uNkulunkulu abone izinto ezikhona lapho kuphumula khona uNkulunkulu ukuqonda ukuthi mangaki ngempela amakhulu noma izigidi zezizukulwane “ezisendlini kaNkulunkulu” noma ukuhlola ukuthi zingaki izingxenye ezakha isakhiwo sesimo sikaNkulunkulu. Nakhu ngempela okumelwe kucaciswe: ukuthi mingaki iminyaka kaBaba neyeNdodana, kanye neyoMoya oNgcwele; izimo ngazinye zomuntu ngamunye; ngempela kwenzeka kanjani ukuba bahlukane, nokuthi bahlangana kanjani babe munye. Ngeshwa, phakathi kwayo yonke le minyaka, akekho umuntu oye wazi iqiniso ngalezi zindaba. Konke nje ukuqagela, ngoba akekho oke wenyukela ezulwini wabuya “nombiko wophenyo” kubantu bonke ukuze abike ngeqiniso lale ndaba kumakholwa ashisekayo nazinikele mayelana noZiqu Zintathu. Nokho, asikwazi ukusola abantu ngokusungula leyo mibono, ngoba kungani uJehova, uYise, engazange asebenze noJesu, iNdodana, lapho edala isintu? Ukube kusukela ekuqaleni, konke kwenzeka ngentando kaJehova, ngabe kungcono. Uma kukhona umuntu okumele asolwe, akusolwe uJehova uNkulunkulu ngokwehluleka kwakhe isikhashana, ukubiza iNdodana kanye noMoya oNgcwele phambi Kwakhe lapho edala, kunalokho wakhetha ukudala yedwa. Ukube bonke babesebenza kanye kanye, babengeke yini babe munye? Ake sithi, kusukela khona kanye ekuqaleni kuze kube sekugcineni, kwakunegama likaJehova kuphela hhayi elikaJesu kusukela eNkathini Yomusa, noma ukube wayesabizwa ngoJehova ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wayengeke yini akugweme ukuhlupheka okubangelwa ukudideka kwabantu? Eqinisweni, uJehova akanakugxekwa ngakho konke lokhu; uma kukhona okumele asolwe, makusolwe uMoya oNgcwele, okwaphela izinkulungwane zeminyaka usebenza ngegama likaJehova, likaJesu neloMoya oNgcwele imbala, wenza abantu badideke bangaqondi ngezinga lokuthi bangabe bedazi nokuthi ungubani ngempela uNkulunkulu. Ukube uMoya oNgcwele Uqobo awusebenzanga ngesimo esithile noma isithombe, ngaphezu kwalokho, ukube awusebenzanga ngegama elinjengelikaJesu, kunalokho abantu bebengeke bakwazi ukuwuthinta noma bawubone, bangagcini nje ngokuzwa imisindo yokuduma, wawungeke yini lo msebenzi ube inzuzo kubantu? Yini engenziwa manje? Imibono yabantu iqongelelene yaphakama kuhle kwentaba, yaba banzi njengolwandle, kangangokuthi uNkulunkulu wosuku lwethu akasakwazi ukuyibekezelela futhi lokhu kuye kuyincithakalo ngokuphelele. Endulo ngesikhathi kusenoJehova, uJesu kanye noMoya oNgcwele phakathi kwabo bobabili, kakade abantu base benokudideka, futhi manje sekunoMninimandla Onke, okuthiwa naye uyingxenye kaNkulunkulu. Ngubani owaziyo ukuthi ungubani-ke lo Mninimandla Onke nokuthi uhlanganiswa nayiphi ingxenye kaZiqu Zintathu, nokuthi wayethukuswe kuphi kule minyaka eminingi? Abantu bangakubekezelela kanjani lokhu? Sekudlule isikhathi eside abantu bezama ukuchaza le mfundiso eyodwa kaZiqu Zintathu, kodwa manje sekukhona “uNkulunkulu oyedwa kubantu abane.” Ichazwa kanjani into enje? Ningakwazi ukuyichaza le nto? Bazalwane! Benikholelwa kanjani kulo Nkulunkulu kuze kube manje? Nginethulela isigqoko. Bekwanele ukubekezelela uNkulunkulu oneziqu ezintathu; ningaqhubeka kanjani nokuba nokholo olungenakunyakaziswa kanjalo kulo Nkulunkulu oyedwa oseziqwini ezine? Niye nanxuswa ukuba niphume, kodwa niyenqaba. Kwaze kwadabukisa! Angazi ukuthi ningabantu abanjani ngempela! Umuntu angaze akholelwe “koNkulunkulu abane” kodwa angenzi lutho ngalokho; aniboni yini ukuthi iyisimanga le nto? Bengingazi ukuthi nikwazi ukwen za isimangaliso esinjena! Niyazi ukuthini, eqinisweni, uZiqu Zintathu uyinto engekho. UNkulunkulu akanaye uYise noma iNdodana, ingasaphathwa eyokuba khona komqondo othi uYise neNdodana basebenzisa ngokubambisana uMoya oNgcwele njengethuluzi. Wonke lawa ngamanga futhi yinto engakaze ibe khona kulo mhlaba! Kodwa la manga anomsuka futhi anesisekelo esithile, nihlakaniphe kabi ukuba ningavele nikhohliseke nje kanjalo. Kodwa, la manga abonakala eyiqiniso futhi eyimvelo, kangangokuthi awanakungenwa ngisho uSathane imbala. Okubuhlungu ukuthi yonke le mibono ingamanga futhi ayikaze ibe khona! Anikalazi iqiniso langempela; nimane niyaqagela futhi niyazicabangela nje, niyiguqule ibe yindaba yokukhohlisa abantu ukuze nethenjwe abanye nokuphatha abayiziphukuphuku ezingenakuhlakanipha nabangacabangisisi kahle, ukuze bakholelwe “emfundisweni ephusile” enkulu nedumile. Yiqiniso leli? Ingabe iyona ndlela le umuntu okumele ayamukele? Udoti wonke lo! Alikho nelilodwa igama elifanelekile! Kuyo yonke le minyaka, benilokhu nihlukanisa uNkulunkulu ngale ndlela, isizukulwane nesizukulwane besilokhu simhlukanisa kancane kancane, kangangokuba uNkulunkulu oyedwa usehlukaniswe waba oNkulunkulu abathathu, manje sekunzima kubantu ukumbuyisela abe uNkulunkulu oyedwa, ngoba niye namhlukanisa kakhulu! Ukube angifikanga ngesikhathi, angazi ukuthi beniyonhlanhlatha nize nifike kuphi! Ukuqhubeka nokwahlukanisa uNkulunkulu ngale ndlela, angaqhubeka kanjani abe nguNkulunkulu wenu? Nisengakwazi kodwa ukumbona uNkulunkulu? Nisengakwazi ukumvuma njengoyihlo futhi nibuyele Kuye? Ukube ngifike sekwedlule isikhathi, cishe beniyoze nithumele emuva “uYise neNdodana” uJehova noJesu, kwa-Israyeli bese nani ngokwenu nithi niyingxenye kaNkulunkulu. Sesibonga khona ukuthi manje yizinsuku zokugcina. Ekugcineni, luze lwafika usuku ekade ngalulinda, futhi ukwehlukanisa kwenu uNkulunkulu kuzophela manje, ngemva kokuba sengiqede ukwenza lo msebenzi ngezandla Zami. Ngaphandle kwalokho, beniyoze nidlulele, nize nibeke bonke oSathane abaphakathi kwenu ematafuleni enu ukuze nibakhonze. Leli icebo lenu! Inhloso yenu yokwehlukanisa uNkulunkulu! Nisazoqhubeka nenza kanjalo? Ake nginibuze: Bangaki oNkulunkulu abakhona? Yimuphi uNkulunkulu ozonisindisa? UNkulunkulu wokuqala, owesibili noma yilona wesithathu obulokhu uthandaza kuye? Yimuphi kubo obulokhu ukholelwa kuye? UBaba? Noma iNdodana? Noma uMoya oNgcwele? Awusho yimuphi okholelwa kuye. Nakuba uthi uyakholelwa kuNkulunkulu kodwa eqinisweni okukholelwayo ngempela yingqondo yakho! UNkulunkulu akekho enhliziyweni yakho! Kodwa, engqondweni yakho kugcwele inqwaba “yoZiqu Zintathu”! Awuvumi?

Uma izigaba ezintathu zomsebenzi bezingahlolwa ngokuvumelana nemfundiso kaZiqu Zintathu, khona-ke kusho ukuthi kumelwe ukuthi kunoNkulunkulu abathathu njengoba umsebenzi owenziwa oyedwa ungesiwo ofanayo. Uma kukhona phakathi kwenu othi ikhona ngempela le nto kaZiqu Zintathu, akachaze ukuthi uyini ngempela lo Nkulunkulu oyedwa kubantu abathathu. Ungubani uYise oNgcwele? Ingubani iNdodana? Uyini uMoya oNgcwele? Ingabe uJehova unguYise oNgcwele? Ingabe uJesu uyiNdodana? Ngakho uyini pho uMoya oNgcwele? UYise akawona yini uMoya? Ingabe ingxenye ethile yeNdodana ayiwona yini uMoya? Imisebenzi kaJesu yayingeyona yini imisebenzi yoMoya oNgwele? Imisebenzi kaJehova okwesikhathi esithile yayiqondiswa uMoya ofana noJesu? UNkulunkulu oyedwa angaba nemiMoya emingaki? Ngokwencazelo yakho, la bantu abathathu uYise, iNdodana noMoya oNgcwele bamunye; uma kunjalo, kusho ukuthi kunoMoya omthathu, kodwa ukuze kube noMoya omthathu kusho ukuthi kunoNkulunkulu abathathu. Lokhu kusho ukuthi akekho uNkulunkulu oyedwa weqiniso; lo Nkulunkulu angaqhubeka kanjani abe nemvelo yoqobo kaNkulunkulu kuye? Uma uvuma ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, angaba kanjani nendodana aphinde abe ubaba? Akuyona yini imibono yakho leyo? Kukhona uNkulunkulu oyedwa, noMoya owodwa kaNkulunkulu, njengoba kulotshiwe eBhayibhelini ukuthi “KunoMoya oNgcwele owodwa noNkulunkulu oyedwa kuphela.” Kungakhathaliseki ukuthi uYise neNdodana okhuluma ngabo bakhona noma cha, kunoNkulunkulu oyedwa, futhi le ngxenye kaYise, iNdodana, noMoya oNgcwele okholelwa kukho kuyingxenye yoMoya oNgcwele. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu unguMoya, kodwa uyakwazi ukuba yinyama aphile phakathi kwabantu, futhi abe ngaphezu kwakho konke. UMoya wakhe uyikho konke futhi uhlale ukhona. Angakwazi ukuba senyameni ngesikhathi esifanayo futhi abe semhlabeni nangaphezu kwawo. Njengoba bonke abantu bethi uNkulunkulu uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, kusho ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, okwazi ukuba yikho konke! UNkulunkulu unguMoya owodwa, ungumuntu oyedwa; futhi lowo uMoya kaNkulunkulu. Uma kuya njengokusho kwakho, uYise, iNdodana kanye noMoya oNgcwele, lokho kusho ukuthi ababona oNkulunkulu abathathu, akunjalo? UMoya ungenye into iNdodana ingenye kanjalo noYise ungenye. Iziqu Zabo zehlukene futhi izingqikithi Zabo zihlukene, ngakho bahlangana kanjani futhi babe yingxenye kaNkulunkulu oyedwa? UMoya oNgcwele unguMoya; kulula ngabantu ukuba baqonde lokho. Uma kunjalo, kusho ukuthi uYise unguMoya nakakhulu. Akakaze ehlele emhlabeni futhi akazange abe yinyama; unguJehova uNkulunkulu osezinhliziyweni zabantu, impela unguMoya. Uma kunjalo, yibuphi ubuhlobo obukhona phakathi Kwakhe noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obufanayo obuphakathi kukaYise neNdodana? Noma ubuhlobo obufanayo noboMoya oNgcwele kanye noMoya kaYise? Ingabe ingxenye ngayinye yoMoya iyefana? Noma ingabe uMoya oNgcwele uyithuluzi likaYise? Yikuphi ngempela okuyikona? Buyini-ke ubuhlobo phakathi kweNdodana noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obuphakathi kwemiMoya imibili noma ubuhlobo obuphakathi komuntu noMoya? Lena yimpicabadala! Uma kuwukuthi kunoMoya owodwa, kusho ukuthi ayikho indaba yabantu abathathu ngoba ngeke bangenwe uMoya owodwa, uma bengabantu abathathu abahlukene, kusho ukuthi amandla oMoya wabo ngeke afane, futhi akukwazi ukuthi kube noMoya owodwa. Le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele iwubulima! Lokhu kwahlukanisa uNkulunkulu ahlukane abe abantu abathathu, ngamunye onesiqu noMoya; angaba kanjani futhi uMoya owodwa noNkulunkulu oyedwa? Ake nisho, ingabe amazulu nomhlaba nakho konke okukuwo kwadalwa uYise, iNdodana noma uMoya oNgcwele? Abanye bathi konke lokhu bakudala ndawonye. Ngakho ubani-ke pho owasindisa isintu? Ingabe nguMoya oNgcwele, yiNdodana noma nguYise? Abanye bathi yiNdodana eyahlenga isintu. Ngakho ingubani ngempela le Ndodana? Ayikona yini ewukubonakaliswa koMoya kaNkulunkulu? UNkulunkulu esesimweni somuntu, uJesu ubiza uNkulunkulu osezulwini ngokuthi Baba. Awazi yini ukuthi uJesu wazalwa ngokoMoya oNgcwele? UnoMoya oNgcwele; noma ungathini, uJesu unoNkulunkulu ezulwini, ngoba uyisimo sikaNkulunkulu soMoya. Le mfundiso yokuthi kuneNdodana ayilona neze iqiniso. NguMoya owodwa owenza zonke izinto; uNkulunkulu Uqobo, okungukuthi, uMoya kaNkulunkulu owenza imisebenzi yakhe. Ubani uMoya kaNkulunkulu? Awuwona yini uMoya oNgcwele? UMoya oNgcwele awusebenzi yini kuJesu? Uma umsebenzi ungenziwanga nguMoya oNgcwele, (okunguMoya kaNkulunkulu) ingabe le misebenzi yenziwa nguNkulunkulu Uqobo? Njengoba ayethandaza, uJesu wabiza uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, lokhu wakwenza esesimweni somuntu odaliwe, ngoba kuphela uMoya kaNkulunkulu wawembethe inyama ejwayelekile nevamile futhi embeswe isimo somuntu. Nakuba ngaphakathi wayenoMoya kaNkulunkulu, ukubukeka Kwakhe kwangaphandle kwakusengokomuntu ovamile; ngamanye amazwi, wayesephenduke “iNdodana yomuntu” okungukuthi futhi bonke abantu bakhuluma, kuhlanganise naye uJesu Uqobo, njengoba ebizwa ngeNdodana yomuntu, ungumuntu (ngabe umuntu wesilisa noma wesifazane, kunoma yikuphi onesimo sangaphandle somuntu) ozalelwe emndenini nakubantu abajwayelekile. Ngakho-ke, ukubiza kukaJesu uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, kuyefana nalapho wena umbiza ngokuthi Baba; Lokho wakusho esesimweni somuntu. Uyawukhumbula uMthandazo weNkosi, uJesu akufundisa ukuba uwubambe ngekhanda? “Baba wethu osezulwini….” Kulo mthandazo, uJesu watshela bonke ukuba babize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Futhi, njengoba naye umbiza ngoBaba, wakusho lokhu ngokombono noma esesimweni sokulingana nani nonke. Njengoba nani nibiza uNkulunkulu ezulwini ngoBaba, lokhu kubonisa ukuthi uJesu wazilinganisa nani, futhi njengomuntu wasemhlabeni owayekhethwe uNkulunkulu (okungukuthi, iNdodana kaNkulunkulu). Uma ubiza uNkulunkulu “ngoBaba,” akukona yini ukuthi umbiza ngoba wena uyisidalwa? Noma kunjalo, naphezu kwegunya uJesu ayenalo ngaphambi kokuba abethelwe, wayemane eyiNdodana yomuntu, eqondiswa uMoya kaNkulunkulu (okungukuthi, uNkulunkulu), njengesinye sezidalwa zasemhlabeni, ngoba wayengakawuqedi umsebenzi wakhe. Ngakho-ke, ukuthobeka nokulalela kuphela okwamgqugquzela ukuba abize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Nokho, ngokubiza uNkulunkulu (okungukuthi, uMoya osezulwini) ngaleyo ndlela, akusho ukuthi uyiNdodana yoMoya kaNkulunkulu osezulwini. Kunalokho, kumane kusho ukuthi umbono wakhe wehlukile, hhayi kodwa ukuthi ungumuntu owehlukile. Imfundiso yokuthi kunabantu abehlukile ingamanga! Ngaphambi kokuba abethelwe, uJesu wayeseyiNdodana yomuntu ebhekene nokulinganiselwa kwenyama, engenalo igunya eliphelele loMoya. Yingakho ayenza intando kaNkulunkulu uYise ngokombono wesidalwa senyama. Yingakho athandaza kathathu eGetsemane: “Kungabi ngokuthanda Kwami, kodwa ngokuthanda Kwakho.” Ngaphambi kokuba afe esiphambanweni, wayeseyiNkosi, kodwa iNkosi yamaJuda; wayenguKristu, iNdodana yomuntu, kodwa engenawo umzimba wenkazimulo. Yingakho ngokombono womuntu abiza uNkulunkulu ngoBaba. Kodwa, lokhu akusho ukuthi bonke ababiza uNkulunkulu ngoBaba bayiNdodana. Ukube bekunjalo, naningeke yini nonke nibe yiNdodana mhla uJesu enifundisa uMthandazo weNkosi? Uma namanje usakholelwa kule mfundiso, ngitshele, ngubani lo ombiza ngoBaba? Uma uthi uJesu, ungubani uYise noJesu kuwe? Ngemva kokuba uJesu esehambile le ndaba kaBaba neNdodana ayibange isaba khona. Leli cebo lasebenza iminyaka ngesikhathi uJesu eseyinyama; ngaphansi kwezimo zonke, ubudlelwane bomuntu oyisidalwa neNkosi yendalo uma ubiza uNkulunkulu ngoBaba. Asikho isikhathi sokuma kwale mfundiso kaZiqu Zintathu owakhiwa uYise, yiNdodana noMoya oNgcwele; yimfundiso yamanga le eyavela ngokuhamba kwesikhathi futhi iyinto engekho!

Lokhu kusenza sikhumbule amazwi kaNkulunkulu akuGenesise: “Masenze umuntu ngomfanekiso Wethu, afane Nathi.” Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wathi “masenze” umuntu ngomfanekiso “wethu” kuba sengathi ukhuluma nothile; njengoba ethi “masenze” kusho ukuthi uNkulunkulu akayedwa. Ngenxa yalokho, abantu baye bacabanga ngokuthi bangabantu abehlukile, kwabe sekuvela imibono kaYise, yiNdodana noMoya oNgcwele. Pho unjani uYise? INdodana yona injani? UMoya oNgcwele wona unjani? Kungenzeka yini ukuthi abantu benziwa ngomfanekiso wokukodwa kwalokhu okuhlanganisiwe kwaba kuthathu? Uma kunjalo, ingabe isimo somuntu siyefana yini nesikaYise, iNdodana noma uMoya oNgcwele? Kulokhu kokuthathu, umuntu wenziwe ngamuphi umfanekiso? Lo mbono owasungulwa abantu, awulona iqiniso futhi uwunangqondo! Lo mbono wehlukanisa uNkulunkulu oyedwa abe ngoNkulunkulu abaningi. Ngesikhathi uMose abhala ngaso uGenesise, kwakungemva kokudalwa kwabantu kuhlanganise nezinye izinto ezadalwa. Ekuqaleni, ngesikhathi kudalwa umhlaba, uMose wayengekho. Kuthe kamuva, uMose ube esebhala iBhayibheli, ngakho wayengazi kanjani ukuthi nguNkulunkulu owakhuluma la mazwi ezulwini? Akukho ayekwazi mayelana nokudala kukaNkulunkulu umhlaba. EBhayibhelini, kuyiTestamente Elidala, ayiphathwa indaba kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele, kukhulunywa ngoNkulunkulu oyedwa kuphela weqiniso, uJehova, lapho aqhuba khona umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli. Ubizwa ngamagama ehlukahlukene ngokushintsha kwezinkathi, kodwa lokhu akusho ukuthi igama ngalinye libhekisele kumuntu owehlukile. Uma bekunjalo, bekungeke yini kwenze uNkulunkulu akhiwe yinqwaba yabantu? Okulotshwe kuyiTestamente Elidala kuyimisebenzi kaJehova, isiqalo semisebenzi kaNkulunkulu ngeNkathi Yomthetho. Kwakuyimisebenzi kaNkulunkulu leyo, lapho akhuluma khona, kwaba njalo, nalapho ashaya khona umthetho, wama. Akukho lapho ezibiza khona ngoYise ozosebenza, futhi akukho lapho eprofetha khona ngokuza kweNdodana yakhe ezosindisa isintu. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni kwathiwa, uNkulunkulu ube yinyama ukuze asindise sonke isintu, akuzange kufike iNdodana. Njengoba izinkathi zingafani kanjalo, nemisebenzi kaNkulunkulu Uqobo ayifani, wenza imisebenzi Yakhe ngezindlela ezehlukahlukene. Ngaleyo ndlela, ubuyena buyashintsha. Abantu bakholelwa ukuthi uJehova unguYise kaJesu, kodwa uJesu wakwenqaba lokhu, wathi: “Asizange sihlukaniswe ngokuthi Baba neNdodana; Mina noBaba osezulwini simunye. UBaba ukimi nami ngikuBaba; lapho abantu bebona iNdodana, babona uBaba osemazulwini.” Siphetha ngokuthi, kungakhathaliseki ukuthi uBaba noma yiNdodana, banguMoya owodwa, ababona abantu abahlukene. Uma umuntu ezama ukuchaza, izinto zibanzima kakhulu ukucacisa indaba yabantu abathathu abahlukene, kanye nobuhlobo obuphakathi kukaYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Lapho abantu bekhuluma ngoNkulunkulu ohlukene akumenzi yini angabi ngokoqobo? Umuntu uze amehlukanise ngezigaba, umuntu wokuqala, owesibili nowesithathu; lena kumane nje kuyimibono yabantu, yimibono engenabo ubufakazi obuphathekayo, futhi engekho nhlobo. Uma umbuza lo muntu ukuthi; “Bangaki labo Nkulunkulu?” uyothi kunoNkukunkulu oZiqu zintathu onguYise, iNdodana noMoya oNgcwele: uNkulunkulu oyedwa weqiniso. Uma umbuza futhi ukuthi: “Ungubani uYise?” uyothi: “UYise, uMoya kaNkulunkulu osezulwini; uphethe konke, futhi uMnikazi wakho konke okusezulwini.” “UJehova yena, ingabe unguMoya” bese ephendula ngokuthi: “Yebo!” Bese-ke umbuza ukuthi “Ingubani iNdodana?” Uyothi: “Hawu, iyiNdodana kaNkulunkulu. Bese uyambuza ukuthi “UJesu wavelaphi.” Uyothi: “UJesu wazalwa uMariya ngoMoya oNgcwele.” “Ingabe isimo Sakhe asiwona uMoya? Imisebenzi yakhe ayifakazeli yini ukusebenza koMoya oNgcwele? UJehova unguMoya, kanjalo nesimo sikaJesu. Ezinsukwini zokugcina, akukona yini ukuthi kusasebenza uMoya; ngakho bangaba kanjani abantu abahlukene? Akuwona yini uMoya kaNkulunkulu oqhubeka usebenza ngezindlela ezahlukile?” Kanjalo awukho umahluko kulaba bantu. UJesu wazalwa ngoMoya, futhi ngokungangabazeki, imisebenzi Yakhe yayifana ncamashi nemisebenzi yoMoya oNgcwele. Esigabeni sokuqala somsebenzi kaJehova, akazange abe yinyama futhi akabonakalanga kubantu. Ngakho abantu abakubonanga ukubonakala Kwakhe. Kungakhathaliseki ukuthi wayemkhulu noma emude kangakanani, wayesewuMoya, uNkulunkulu Uqobo waqale wadala abantu, okuwukuthi uMoya kaNkulunkulu. Lapho ekhuluma nabantu esemafwini, wayenguMoya. Akekho owayemazi; kuze kwaba yiNkathi Yomusa lapho uMoya kaNkulunkulu uphenduka inyama eJudiya lapho abantu baqala khona ukumbona okokuqala uNkulunkulu esesimweni somuntu njengomJuda. Kodwa abantu babengawuqondi umuzwa wokuba kwakhe nguJehova. Kunjalo, wazalwa ngokoMoya oNgcwele, okungukuthi, wazalwa uMoya kaJehova Uqobo nokuthi uJesu wazalwa engumfanekiso woMoya kaNkulunkulu. Lokho abantu abaqale bakubona uMoya oNgcwele wehla njengejuba, wehlela phezu kukaJesu; kwakungewona uMoya owehlukile kuJesu, kepha kwakunguMoya oNgcwele. Ingabe-ke uMoya kaJesu noMoya oNgcwele bahlukene? Uma uJesu enguJesu, iNdodana, noMoya oNgcwele unguMoya oNgcwele, kodwa bangaba munye kanjani? Umsebenzi wawungeke uqhubeke uma kunjalo. UMoya okuJesu, uMoya esezulwini kanye noMoya kaJehova yinto eyodwa. Lo Moya ungabizwa ngokuthi uMoya oNgcwele, uMoya kaNkulunkulu, amandla ayisiphekupheku, uMoya oyingqayizivele. UMoya kaNkulunkulu ungafeza umsebenzi omningi. Ukwazi ukudala umhlaba, uphinde awubhubhise ngozamcolo; ukwazi ukuhlenga sonke isintu, unganqoba futhi ubhubhise sonke isintu. Wonke lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu Uqobo futhi akekho obengakwazi ukuwenza esikhundleni sikaNkulunkulu ngaphandle Kwakhe. UMoya Wakhe ungabizwa ngegama likaJehova nelikaJesu kuhlanganise nelikaMninimandla Onke. UyiNkosi noKristu. Ungaba nayiNdodana yomuntu. Usemazulwini nasemhlabeni; usezindaweni eziphezulu kakhulu emkhathini nasezixukwini. Uwukuphela kweNkosi yamazulu nomhlaba! Kusukela ngenkathi yokudala kuze kube manje, lo msebenzi ubulokhu wenziwa uMoya kaNkulunkulu Uqobo. Emisebenzini yasezulwini noma enyameni, yonke le misebenzi yenziwa yilo Moya Wakhe. Zonke izidalwa, kungakhathaliseki ukuthi zisezulwini noma emhlabeni zisentendeni yesandla sikaMninimandla Onke; konke lokhu kuwumsebenzi kaNkulunkulu Uqobo futhi akekho ongakwazi ukuwenza esikhundleni Sakhe. Emazulwini, unguMoya abuye abe nguNkulunkulu Uqobo; phakathi kwabantu, uyinyama kodwa aqhubeka enguNkulunkulu Uqobo. Nakuba ebizwa ngamagama amaningi, usenguye Uqobo futhi yonke imisebenzi Yakhe ibonakalisa amandla oMoya Wakhe. Ukusindiswa kwabantu ngokubethelwa esiphambanweni kwakuwukusebenza koMoya Wakhe, kanye nokushumayela ezizweni zonke nasemhlabeni wonke ngezinsuku zokugcina. Ngaso sonke, isikhathi uNkulunkulu angabizwa ngokuthi uMninimandla Onke, uNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu okuwuphela Kwakhe. Ngakho ayikho imfundiso yabantu abahlukene, ingasaphathwa-ke le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele! KunoNkulunkulu oyedwa ezulwini nasemhlabeni!

Uhlelo kukaNkulunkulu lokuqondisa ludonsa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha futhi luhlukaniswe lwaba yizinkathi ezintathu zokuhluka ngokomsebenzi Wakhe: Inkathi yokuqala ibizwa ngokuthi yiNkathi Yomthetho YeTestamente Elidala; eyesibili yiNkathi Yomusa; kanti eyesithathu eyokugcina iphakathi nezinsuku zokugcina—yiNkathi Yombuso. Enkathini ngayinye kunesiqu esihlukile esivezwayo. Lokhu kwenzeka ngenxa yokwehluka komsebenzi, okusho izimfuno zomsebenzi. Isigaba sokuqala somsebenzi ngeNkathi Yomthetho senzeka kwa-Israyeli, isigaba sesibili senziwa lapho kuphothulwa inqubo yokusindisa kwaJuda. Le nqubo yenzeka ngokuthi uJesu azalwe ngoMoya oNgcwele njengeNdodana. Konke lokhu kwenzeka ngenxa yemfuneko yomsebenzi. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ufisa ukuwandisa umsebenzi Wakhe uze ufinyelele kwabeZizwe futhi kuzuzwe bonke abantu khona, ukuze igama Lakhe libe likhulu phakathi kwabo bonke. Ufisa ukuqondisa umuntu ekuqondeni nasekungeneni kulo lonke iqiniso. Wonke lo msebenzi wenziwa nguMoya owodwa. Nakuba ekwenza lokhu ngezindlela azingefani, imigomo yomsebenzi yona ayishintshi. Lapho uhlolisisa imigomo nohlobo lomsebenzi abawenzile, uzokwazi ukuthi konke kwenziwe uMoya owodwa. Kodwa abanye basangase bathi: “UYise unguYise; iNdodana iyiNdodana; uMoya oNgcwele unguMoya oNgcwele, ekugcineni, bazokwenziwa babe munye.” Kodwa ungabenza kanjani babe munye? UYise noMoya oNgcwele kungenziwa kanjani kube munye? Uma kokubili kuye kwahlanganiswa, kungakhathaliseki ukuthi kuhlanganiswe kanjani, ngeke yini kuqhubeke kuyizingxenye ezimbili? Uma uthi benziwa babe Munye, akukhona yini lokho ukuhlanganisa izinto ezimbili? Kodwa bebengeve yini bebabili ngaphambi nokuhlanganiswa, isimo soMoya ngamunye wehlukile, futhi imiMoya emibili ngeke ihlanganiswe. UMoya awufani nento ephathekayo futhi awufani nalutho olukhona emhlabeni. Abantu bathi, uYise unguMoya, iNdodana nayo ingumoya kanye nawo uMoya bathi ungomunye uMoya, bese bethi lemiMoya iyahlanganiswa engilazini yamanzi kube uMoya owodwa, akukona yini ukuthi lapha kuhlanganiswe izinto ezintathu? Lena yincazelo engamanga ngokusobala! Lo Nkulunkulu akahlukaniswa phakathi? UYise, yiNdodana noMoya kungahlanganiswa kanjani kube kunye? Akuzona yini izingxenye ezintathu zezimo ezehlukene? Kusekhona nalabo abathi, “UNkulunkulu akashongo yini ngokusobala ukuthi uJesu uyiNdodana Yakhe ethandekayo?” UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ajabula kakhulu ngayo—lokhu kwakhulunywa nguNkulunkulu Uqobo. Empeleni uNkulunkulu wayekhuluma Ngaye, ngendlela eyehlukile, kufana ngokuthi uMoya osezulwini unikeza ubufakazi bukaNkulunkulu esesimweni somuntu Ngokwakhe. UJesu enguNkulunkulu osesimweni somuntu Ngokwakhe, hhayi iNdodana Yakhe esezulwini. Uyakuqonda lokho? La mazwi kaJesu athi: “NgikuBaba, noBaba uKimina,” awasho yini ukuthi banguMoya owodwa? Akukona yini ukuthi ngokwesimo somuntu sikaNkulunkulu wazihlukanisela ezulwini nasemhlabeni? Eqinisweni, bamunye; kungakhathaliseki ukuthi isimo sinjani, kumanje nje kunguNkulunkulu ofakaza ngaye Ngokwakhe. Uyaziguqula ngokushintsha kwenkathi ngayinye, ngokuya kwemfuneko yomsebenzi ngokwezigaba ezehlukahlukene ngokwentando Yakhe, njengoba namagama abantu abambiza ngawo nawo eshintsha. Lapho eqala isigaba sokuqala somsebenzi Wakhe, wayebizwa ngokuthi uJehova, uMalusi wama-Israyeli. Esigabeni sesibili, yawebizwa ngokuthi iNkosi noKristu. Kodwa ngaleso sikhathi, uMoya osezulwini wathi uyiNdodana ethandekayo kaNkulunkulu, awushongo ukuthi uwukuphela kweNdodana kaNkulunkulu. Lokhu akwenzekanga. UNkulunkulu angaba kanjani nomntwana oyedwa? Ingabe uNkulunkulu waphenduka waba umuntu? Ngenxa yokuthi wayekwesinye isimo, wayebizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ngenxa yalokhu, kube sekuvela ubuhlobo phakathi kukaYise neNdodana. Lokhu kwakubangelwa ukwehlukana kwezulu nomhlaba. UJesu wathandaza esesimweni senyama. Njengoba ayembethe inyama yobuntu obujwayeleke kangaka, wakhuluma la mazwi esesimweni somuntu: “Umzimba wami ufana nodaliwe. Njengoba ngembatha wona ukuze ngize emhlabeni, manje ngikude kakhulu nezulu.” Ngenxa yaleso sizathu, wayengathandaza kuNkulunkulu uYise esesimweni sokuba wumuntu. Lona kwakungumsebenzi Wakhe, ukuze kufezeke injongo kaNkulunkulu. Ngeke sithi akayena uNkulunkulu ngenxa yokuthi wathandaza kuYise esesimweni somuntu. Nakuba ebizwa ngeNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, usenguye uNkulunkulu, usesimweni sokuba wuMoya futhi uyingxenye yawo. Abantu bazibuza ukuthi kungani ethandaza uma enguNkulunkulu. Kungenxa yokuthi usesemweni senyama, uNkulunkulu uphila enyameni, akuwona umoya osezulwini. Abantu bathi uYise, iNdodana noMoya oNgcwele kwakha uNkulunkulu oyedwa. Bobathathu benziwa bayahlanganiswa babe munye babizwe ngoNkulunkulu, ngenxa yalokho, ingabe usenawo amandla amakhulu. Kunalabo futhi abathi kungenxa yaleso sizathu enguMoya onamandla. Lapho iNdodana ithandaza ngokuza kwayo, empeleni yayikhuluma isesimweni somuntu wenyama. Ngoba inyama ayiphelele, yayingaphelele futhi inobuthaka lapho ingena enyameni, futhi yayihlupheka njengoba yayiqhubeka nomsebenzi Wayo enyameni. Yingakho yathandaza kuNkulunkulu uYise ngaphambi kokubethelwa Kwayo, futhi yathandaza izikhathi eziningi ngaphambi kwalokho. Yathandaza inabafundi Bayo; yathandaza iyodwa entabeni; yathandaza isesikebheni sokudoba; yathandaza phakathi kwezixuku; yathandaza lapho ihlephula isinkwa; futhi yathandaza lapho ibusisa abantu. Kungani yenza kanjalo? Ngenxa yokuthi yayithandaza kuMoya, kuNkulunkulu ezulwini, isesimweni senyama. Ngakho ngokombono wabantu, uJesu waba yiNdodana kuleso sigaba somsebenzi, nokho, phakathi nalesi sigaba akathandazi, kungani? Kungenxa yokuthi into ayibeka kuqala umsebenzi wezwi, nesahlulelo kanye nokusola kwalo. Asikho isidingo sokuba athandaze, futhi inkonzo Yakhe ukukhuluma. Akabethelwa esiphambanweni, futhi labo abasemagunyeni abambambi. Uyaqhubeka nomsebenzi wakhe. Lapho ethandaza, wayethandaza kuNkulunkulu uYise ngokuza kombuso wamazulu, ukwenziwa kwentando kaYise kanye nokuza komsebenzi. Kuleli zinga, umbuso wawusufikile kakade, ingabe-ke wayesenaso isidingo sokuthandaza? Umsebenzi wakhe, ukuqeda inkathi, futhi azisekho ezinye izinkathi ezintsha, ingabe-ke sikhona isidingo sokuthandazela isigaba esilandelayo? Empeleni, asikho isidingo salokho!

Kuningi ukuphikisana ezincazelweni zabantu. Empeleni, lena kumane kuyimibono yabantu; engahlolisisiwe, ningase nicabange ukuthi iyiqiniso. Anazi yini ukuthi le mfundiso kaZiqu Zintathu iwumbono wabantu? Ulwazi lomuntu aluphelele. Umbono wakhe uhlale unganembile, futhi umuntu unemibono eminingi; lokhu kufakazela ukuthi usidalwa esingumuntu ngeke sikwazi ukuchaza imisebenzi kaNkulunkulu. Kuningi okusezingqondweni zabantu, kodwa okuphikisana neqiniso. Ingabe indlela yakho yokucabanga iyakubonisa imisebenzi kaNkulunkulu? Uyayiqonda yini yonke imisebenzi kaJehova? Ingabe nguwe yini njengomuntu okwazi ukukubona konke, noma ingabe nguNkulunkulu okwazi ukubona konke, kusukela phakade kuze kube phakade? Ingabe nguwe okwazi ukubona ezikhathini zakudala kuze kube sesikhathini esizayo, noma ingabe nguNkulunkulu okwazi ukwenza kanjalo? Ngakho-ke uthini? Ungamchaza kanjani uNkulunkulu? Futhi isekelwephi leyo ncazelo yakho Ngaye? Ingabe wena unguNkulunkulu? Amazulu nomhlaba nakho konke okukuwo kwadalwa uNkulunkulu. Akuwena owenza lezi zinto, pho kungani unikeza izincazelo ezingelona iqiniso? Ingabe namanje usakholelwa kuZiqu Zintathu? Awucabangi ukuthi le nkolelo iyinkinga? Kungaba kuhle ukuba manje ukholelwe kuNkulunkulu oyedwa, hhayi kwabathathu. Kuhle ukuba ngukukhanya, ngoba umthwalo weNkosi ulula.

Okwedlule: Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu

Okulandelayo: Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp