7. Umehluko Phakathi Kwezenzo Zangaphandle Ezinhle Nezinguquko Esimweni

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukuguquka esimweni ikakhulu kubhekisele ekuguqukeni emvelweni yakho. Imvelo ayiyona into ongayibona ngokuziphatha kwangaphandle; imvelo ibandakanya ngokuqondile umsebenzi nokubaluleka kobukhona babantu. Ibandakanya ngokuqondile ukubaluleka kokuphila komuntu, izinto ezijulile phakathi komphefumulo, nengqikithi yabantu. Ukuba abantu babengakwazi ukwamukela iqiniso, khona-ke babengeke babe nezinguquko kulezi zingxenye. Izimo zabantu kungathiwa ziguqukile kuphela lapho sebehlangane nomsebenzi kaNkulunkulu futhi sebengene ngokugcwele eqinisweni, baguqula abakwazisayo kanye nokubheka kwabo ubukhona nokuphila, babuka izinto ngendlela efana nekaNkulunkulu, futhi bakwazi ukuthobela nokuzinikela kuNkulunkulu. ungabonakala ufaka amandla athile, ungaqina ekubhekaneni nobunzima, ungakwazi ukwenza izinhlelo zomsebenzi ezivela kokungenhla, noma ungakwazi ukuya noma kuphi lapho utshelwa ukuthi yana khona, kodwa lezi yizinguquko ezincane kakhulu ezenzweni zakho, futhi azanele ukuba zibe ukuguquka esimweni sakho. Ungakwazi ukugijima ngezindlela eziningi, futhi ungakwazi ukuzwa ubunzima obuningi futhi uzwe ukwehliswa okukhulu; ungazizwa useduze kakhulu noNkulunkulu, noMoya oNgcwele usebenza kuwe, kodwa lapho uNkulunkulu ecela ukuba wenze okuthile okungavumelani nemicabang0 yakho, uyaqhubeka ungathobi, ufuna okokuzithethelela, futhi uyahlubuka uphinde umelane noNkulunkulu, kuze kufike ngisho eqophelweni lapho ugxeka futhi ukhale Kuye. Yinkinga ebucayi le! Lokhu kufakazela ukuthi usenemvelo yokumelana noNkulunkulu nokuthi awuguqukile nakancane.

Kucashunwe “Okufanele Ukwazi Ngokuguqula Isimo Sakho” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Abantu bengaziphatha kahle, kodwa lokho akusho ukuthi baneqiniso. Intshisekelo yabantu ingabenza kuphela ukuba bathobele imfundiso futhi belandele isiqondiso; abantu abangenalo iqiniso abanayo indlela yokuxazulula izinkinga ezinzima, futhi isifundiso angake simele iqiniso. Labo asebeguqule izimo zabo bahlukile. Baneqiniso ngaphakathi, bahlola izindaba zonke, bayakwazi ukwenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu, ukwenza ngokwezimiso zeqiniso, ukwenza ngokwenelisa uNkulunkulu, futhi bayayiqonda imvelo yenkohlakalo abayivezayo. Ngesikhathi imibono nemicabango yabo ivezwa, bayakwazi ukuzihlola nokulahla inyama. Yile ndlela okubonakala ngayo inguquko esimweni. Into ebalulekile kakhulu ngenguquko yesimo ukuthi banakho kokubili iqiniso nokucaciseleka, futhi uma benza izinto, benza iqiniso ngokucophelela futhi inkohlakalo yabo ayiveli ngokuvamile. Ngokuvamile, umuntu onesimo esiguquliwe uveza ingqondo nokuqonda, futhi ngenxa yokuqonda kwabo iqiniso, ukuzikhukhumeza nokuzidla akuveli kakhulu. Bayakwazi ukubona konke ngokucacile, ngakho ababi nokuzidla ngemva kokuthola lokhu kucaciseleka. Bayakwazi ukuba nokuqonda okulinganisiwe kokuthi iyiphi indawo yomuntu, uziphatha kanjani ngendlela, uzinikela kanjani, yini okumele uyisho nokumele ungayisho, okumele uyisho futhi uyenze kubaphi abantu. Yingakho kuthiwa lezi zinhlobo zabantu banengqondo. Labo abaguqula izimo zabo baphila umfanekiso womuntu ngeqiniso, futhi baneqiniso; abaphili phansi kwethonya labanye. Labo abaguqukile esimweni bangconywana, abashayi sengathi bayashisa noma bayabanda, nanoma ngabe bakusiphi isimo, bayakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngendlela kanye nokwenza izinto ukwanelisa uNkulunkulu. Labo abanezimo eziguquliwe abagxilile ekutheni bengenzani ukuzenza babukeke kahle ezingeni lokuzenzisa—banokucaciseleka okungaphakathi kokuthi bengenzani ukwanelisa uNkulunkulu. Ngakho-ke, ngaphandle bengengebonakale benogqozi noma sengathi kukhona into enkulu kakhulu abayenzile, kodwa konke abakwenzayo kunomqondo, kubalulekile, futhi kunemiphumela ebonakalayo. Labo abanezimo zabo eziguquliwe banesiqiniseko sokuba neqiniso eliningi—lokhu kungafakazelwa indlela ababona ngayo izinto kanye nezimiso zabo ezenzweni zabo. Labo abangenalo iqiniso ngokuphelele abakaguquki esimweni. Lokhu akusho ukuthi umuntu okhulile ebuntwini bakhe uzovele abe noshintsho esimweni; kucishe kwenzeke kakhulu uma ushevu onobusathane ngaphakathi kwemvelo yomuntu ushintsha ngenxa yokwazi kwabo uNkulunkulu kanye nokuqonda kwabo iqiniso. Lokho kusho ukuthi, labo oshevu sebehlanziwe futhi iqiniso elishiwo uNkulunkulu liyagxila phakathi komuntu, liphenduka ukuphila kwakhe, futhi liphenduka isisekelo sokuphila kwakhe. Kungalesi sikhathi kuphela lapho aphenduka khona umuntu omusha, futhi nesimo sakhe sibe sesiyashintsha. Lokhu akusho ukuthi isimo sabo sangaphandle sesimnene kangcono kuna ngaphambili, bebevame ukuzikhukhumeza kodwa manje amazwi abo asenengqondo, ukuthi babe vame ukungalaleli muntu kodwa manje sebeyakwazi ukulalela abanye—lezi zinguquko zangaphamdle angeke kushiwo ukuthi izinguquko esimweni. Empeleni izinguquko esimweni zimbandakanya nazo lezi zimo, kodwa into ebaluleke kakhulu ukuthi ukuphila kwabo kwangaphakathi sekushintshile. Iqiniso elivezwa uNkulunkulu liphenduka libe ukuphila kwabo, abanye oshevu bobusathane ngaphakathi sebususiwe, indlela umuntu aqonda ngayo seyishintshiwe ngokuphelele, futhi ayikho into kuyona ehambisana kanye naleyo yasezweni. Uyabona ngokucacile izinhlelo kanye noshevu kadrako omdala obomvu; useyiqonda kahle ingqikithi yokuphila eyiqiniso. Ngakho imigomo yokuphila kwakho isishintshile—lolu ushintsho olubaluleke kakhulu kanye nengqikithi yoshintsho kwisimo.

Kucashunwe “Umehluko Phakathi Kwezinguquko Zangaphandle Kanye Nezinguquko Esimweni” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

Ngokwenkolo, abantu abaningi abahlupheki ukuphila kwabo konke, banqoba imizimba yabo noma bathwala isiphambano, bahlupheka futhi babekezela kwaze kwaba yilapho bephefumula okokugcina! Abanye basesaba ukufa kwabo. Kukho konke ukuphila kwabo, bazincisha ukudla okumnandi nokugqoka kahle, babekezelele ukuhlupheka. Abakwazi ukunqoba imizimba yabo nokushiya inyama yabo. Umoya wabo wokubekezelela ukuhlupheka udinga ukunconywa. Kodwa akukabhekanwa nakancane nokucabanga kwabo, imibono yabo, indlela ababheka ngayo izinto, kanye nemvelo yabo endala imbala. Abaziqondi ngeqiniso. Isithombe sabo sengqondo ngoNkulunkulu esakudala soNkulunkulu oyinkimbinkimbi ongaqondakali. Ukuhlupheka kwabo ngenxa kaNkulunkulu kungenxa yentshiseko yabo kanye nombono wabo omuhle ngezinto. Nakuba bekholelwa kuNkulunkulu, abayiqondi futhi abayazi intando Yakhe. UNkulunkulu bamsebenzela ngobumpumputhe futhi bamhluphekela ngobumpumputhe. Abakubheki njengegugu ukuthi bayakwazi ukuqonda futhi abanandaba kangako nendlela yokuba nesiqiniseko sokuthi inkonzo yabo iyayifeza yini intando kaNkulunkulu. Ingasaphathwa eyokwazi ukuthi bengamqonda kanjani uNkulunkulu. UNkulunkulu abamkhonzayo akawona umfanekiso kaNkulunkulu wangempela, kodwa nguNkulunkulu abazenzele yena, uNkulunkulu abezwe ngaye, noma uNkulunkulu wakudala otholakala ezintweni ezibhaliwe. Babe sebesebenzisa ukukhalipha kwemicabango yabo nonkulunkulu abasezinhliziyweni zabo ukuze bahlupheke ngenxa kaNkulunkulu futhi benze umsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza. Inkonzo yabo iyinkimbinkimbi kakhulu, ngezinga lokuthi akukho noyedwa kubo okwazi ngempela ukukhonza ngokwentando kaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi bazimisele kangakanani ukuhlupheka, umbono wabo wangempela ngenkonzo nesithombe sabo sengqondo ngoNkulunkulu akushintshi ngenxa yokuthi abakaze badlule esahlulelweni nasekusolweni uNkulunkulu, kanye nasekucwengeni nasekuphelelisweni Nguye, nokuthi akekho oke wabahola ngeqiniso. Ngisho noma bekholelwa kuJesu uMsindisi, akekho kubo owake wabona uMsindisi. Bamazela kuphela ezinganekwaneni nakuyinzwabethi. Ngakho inkonzo yabo ingaphezu kokumane ukhonze amehlo evaliwe, njengempumputhe ikhonza uyise. Yini engafezwa ekugcineni ngalolu hlobo lwenkonzo? Ubani oyolwamukela? Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, inkonzo yabo ayishintshi nhlobo. Bamukele kuphela izifundo zomuntu futhi basekela inkonzo yabo ezintweni abazithandayo nabajwayelene nazo kuphela. Lokhu kungaba namuphi umvuzo? Ngisho noPetru, owayazi uJesu, wayengazi ukuthi angakhonza kanjani ngendlela efeza intando kaNkulunkulu. Kwaze kwaba sekupheleni, lapho esemdala, lapho aqala khona ukuqonda. Lokhu kusho ukuthini ngezimpumputhe ezingakaze zibhekane nalutho ezingakaze zibe namuntu oziqondisayo? Ingabe inkonzo yabaningi phakathi kwenu namuhla ayifani neyalezi zimpumputhe? Bonke labo abangakaze basamukele isahlulelo, abangakaze balungiswe futhi bashintshwe—ingabe abakanqotshwa ngokugcwele? Banamsebenzi muni abantu abanjalo? Uma ukucabanga kwakho, ukuqonda kwakho ukuphila, nokuqonda kwakho uNkulunkulu kungabonisi ushintsho olusha futhi kungaphumeli ngisho nasekuzuzeni okuncane, awusoze wathola into esile enkonzweni yakho! Ngaphandle kombono nangaphandle kokuqonda okusha umsebenzi kaNkulunkulu, awunakuba umuntu onqotshiwe. Indlela yakho yokulandela uNkulunkulu iyofana neyalabo abahluphekayo futhi abazila ukudla—ngeke ibaluleke kakhulu! Kumane kungenxa yobufakazi obuncane balokho abakwenza enkonzweni yabo obungenza ngithi inkonzo yabo iyize leze! Bachitha ukuphila kwabo behlupheka, behleli ejele; bahlala bebekezela, bethanda, futhi belokhu bethwele isiphambano, futhi bayahlekwa balahlwe yizwe, bezwa bonke ubunzima, futhi balalela kuze kube sekupheleni, kodwa noma kunjalo abanqotshiwe futhi abukho ubufakazi bokunqotshwa abangabethula. Abakaze bahlupheke nakancane, kodwa ngaphakathi abamazi nhlobo uNkulunkulu. Abakaze bayigcine imicabango yabo emidala, imibono emidala, amasiko enkolo, nokuqonda komuntu, kanye nemibono yomuntu. Lokhu akukhona nhlobo ukuqonda okusha kubo. Akukho ngisho nokuncane ukuqonda ngoNkulunkulu okuyiqiniso noma okunembile kubo. Abayiqondi kahle intando kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kungaba ukukhonza uNkulunkulu? Nokho benimqonda uNkulunkulu esikhathini esedlule, uma ningakwazi ukuqhubeka nakho namuhla futhi niqhubeka nisekela ukuqonda kwenu uNkulunkulu emibonweni kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wenzani. Lokho kufana nokuthi ungabi nakho ukuqonda okusha ngoNkulunkulu futhi wehluleke ukwazi umfanekiso wangempela kaNkulunkulu nesimo Sakhe seqiniso. Ake sithi ukuqonda kwakho uNkulunkulu kulawulwa iqembu labantu, imibono engenalo iqiniso futhi kuseyimicabango nezimfundiso zomuntu. Uma kunjalo, khona-ke kusho ukuthi awukanqotshwa. Inhloso yami ngokusho wonke la mazwi kini ukuthi nginivumele niqonde futhi nisebenzise lolu lwazi ukuze luniholele ekuqondeni okunembile nokusha. Ahloselwe nokuxosha izimfundiso ezindala nolwazi oludala eninakho ukuze nikwazi ukuba nokuqonda okusha. Uma niwadla ngempela futhi niwaphuze amazwi Ami, khona-ke ukuqonda kwenu kuyoshintsha kakhulu. Uma nje nisenenhliziyo elalelayo lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, nombono wenu uzoshintsha. Uma nje nisakwazi ukwamukela izijeziso eziningi, isimo somqondo wenu esidala siyoshintsha kancane kancane. Uma nje isimo somqondo wenu esidala sithathelwe indawo ngokuphelele esisha, nendlela enenza ngayo nayo iyoshintsha. Ngale ndlela, inkonzo yenu kancane kancane iyoba into ebalulekile, ikwazi ukufeza intando kaNkulunkulu. Uma ukwazi ukuguqula ukuphila kwakho, ukuqonda kwakho ukuphila, nokwazi kwakho ukuphila komuntu, nemibono yakho eminingi ngoNkulunkulu, khona-ke isimo sakho esingokwemvelo siyoncipha kancane kancane. Lokhu, kuwumphumela wangemva kokuthi uNkulunkulu enqobe umuntu; lolu ushintsho oluyobonakala kumuntu. Nakuba ekukholelweni kuNkulunkulu, okuwukuphela kwento eniyaziyo ukunqoba imizimba yenu nokubekezela kanye nokuhlupheka, futhi akunicaceli ukuthi enikwenzayo kuhle noma kubi, ingasaphathwa eyokuthi kungokukabani, khona-ke lolu hlobo lokwenza izinto lungaholela kanjani oshintshweni?

Kucashunwe embhalweni othi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Njalo lapho labo bantu benkolo behlangana, bayabuza, “Dadewethu, unjani kulezi zinsuku?” Yena aphendule, “Ngizizwa nginokumbonga uNkulunkulu nokuthi angikwazi ukufeza isifiso senhliziyo Yakhe.” Omunye athi, “Nami, futhi, ngiyambonga uNkulunkulu futhi angikwazi ukumgculisa.” Le misho embalwa namazwi kodwa kukhombisa izinto ezimbi ezisekujuleni phakathi ezinhliziyweni zabo. Amazwi anjalo ayenyanyeka futhi awanambitheki ngokwedlulele. Imvelo yalaba bantu iphikisana noNkulunkulu. Labo ababheke ubunjalo besimo bakhuluma noma yini esezinhliziyweni zabo futhi bavula izinhliziyo zabo enkulumweni. Akukho nakunye okungukwenza okuyiphutha, ayikho imikhuba emihle yokukhombisa isizotha ekukhulumeni nasekwenzeni noma izinkulumo ezingenaso isigqi. Bahlale beqonde ngqo futhi abayihloniphi imithetho yasemhlabeni. Kunalabo abanothando lokubukisa nokuziveza ingaphandle, ngisho noma kungenzi mqondo. Uma omunye ecula, uqala ukudansa, angaboni ngisho nokuthi ilayisi elisebhodweni lakhe selishile. Lolo hlobo lwabantu abanabo ubunkulunkulu, noma abahloniphekile, futhi bakhonze kakhulu ukudlala. Zonke lezi yizindlela zokubonakalisa ukungabi bikho kweqiniso! Lapho abanye abantu bexoxa ngezindaba zempilo kumoya, nakuba bengakhulumi ngokubonga kuNkulunkulu, bagcina uthando lwabo lweqiniso Kuye ngaphakathi ezinhliziyweni zabo. Ukumbonga kwakho uNkulunkulu akuhlanganise lutho nabanye abantu; unokubonga uNkulunkulu, hhayi umuntu. Ngakho kusiza ngani ukukhuluma ngakho sonke isikhathi kwabanye? Kumele wenze mqoka ukungena kokoqobo, hhayi ukukhuthalela ukubukwa noma ukubukisa.

Zimele ukuthini izenzo zomuntu ezinhle zokuzenzisa? Zimele inyama, kanti ngisho imikhuba yangaphandle elungile kakhulu kuneminye ayimele ukuphila, kodwa umoya wakho wedwa. Ukwenza kwangaphandle komuntu akusoze kwafeza okufiswa uNkulunkulu. Uhlale njalo ukhuluma ngokumbonga kwakho uNkulunkulu, kepha awukwazi ukunikeza impilo kwabanye noma ugqugquzele abanye ukuba bathande uNkulunkulu. Uyakholwa ukuthi izenzo ezinjalo ziyomenelisa uNkulunkulu? Ukholwa ukuthi lokhu ngokufiswa yinhliziyo kaNkulunkulu, ukuthi lokhu kungokomoya, kodwa ngokweqiniso lokhu akunamqondo! Ukholwa ukuthi lokho okukujabulisayo kanye nalokho okufisayo yilokho uNkulunkulu ajabula ngakho. Ingabe lokho okujabulisa wena kumele okukaNkulunkulu? Ingabe isimilo somuntu singamela uNkulunkulu? Lokho okukujabulisayo yikho kanye uNkulunkulu akuzondayo, nokuthi imikhuba yakho yiyo leyo uNkulunkulu ayizondayo nangayifuni. Uma uzizwa unokubonga, hamba uye kothandaza phambi kukaNkulunkulu. Asikho isidingo sokukhuluma ngakho kwabanye. Uma ungathandazi phambi kukaNkulunkulu kodwa kunalokho uqhubeka nokuzibizela ukunakwa phambi kwabanye, ingabe lokhu kungafeza okufiswa yinhliziyo kaNkulunkulu? Uma izenzo zakho njalo zingezibonakalayo kuphela nje, lokhu kusho ukuthi ungumuntu ongelusizo lwalutho impela. Nhloboni yomuntu lowo owenza izenzo ezinhle ezingukuzenzisa kodwa ezingenalo iqiniso? Labo bantu abanjalo bangabaFarisi abazenzisayo kanye nabantu benkolo! Uma ningayeki ukwenza kwenu kwangaphandle futhi ningeke nenze izinguquko, izimpawu zokuzenzisa ezikina ziyokhula kakhulu-ke. Ngokuya ngokukhula kwezimpawu zokuzenzisa, kulapho ukuphikisana noNkulunkulu nakho kudlondlobala, nokuthi ekugcineni, lolo hlobo lwabantu, ngiqinisekile luyolahlwa!

Kucashunwe embhalweni othi “Okholweni, Umuntu Kumele Agxile Eqinisweni—Ukwenza Isiko Lenkolo Akulona Ukholo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 6. Ukuhlukanisa Phakathi Kwabaholi Bangempela Nabamanga, Naphakathi Kwabelusi Bangempela Nabamanga

Okulandelayo: 1. Ukwazi Umsuka Wokuphikisa Kwabantu Umsebenzi KaNkulunkulu Omusha Ekukholweni Kwabo KuNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp