H. Ngendlela Yokuzuza Ukwesaba UNkulunkulu Nokugwema Okubi

415. Umuntu oqotho odaliwe kumele azi ukuthi ngubani uMenzi wakhe, azi ukuthi umuntu wadalelwani, kumele ayenze kanjani imisebenzi yokuba yisidalwa esenziwe, nokuthi uyikhulekela kanjani iNkosi yendalo yonke, kumele aqondisise, abambelele, azi, futhi anakekele izinhloso zoMdali, izifiso, nezimfuno, futhi kumele enze ngokuhambisana nendlela yoMdali—esabe uNkulunkulu abalekele okubi.

Kuyini ukwesaba uNkulunkulu? Futhi umuntu angakubalekela kanjani okubi?

“Ukumesaba uNkulunkulu” akusho ukwethuka nokwesaba okungenagama, noma ukugwema, noma ukubeka laphaya kude, noma ukukhonza noma izinkolelo-ze. Kunalokho, kuwukuhlonipha, ukunika isithunzi, ukwethemba, ukuqondisisa, ukunakekela, ukulalela, ukuzinikela, uthando, kanjalo nokudumisa, ukuvuza nokuthoba okungenambandela nokuthoba. Ngaphandle kolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, isintu angeke sibe nenhlonipho yeqiniso, ukwethembeka ngeqiniso, ukuqonda kweqiniso, ukunakekela kweqiniso noma ukuhlonipha, kodwa kuphela ukwesaba okukhulu novalo, kuphela ukungabaza, ukungaqondisisi, ukwenqaba, nokugwema; ngaphandle kolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, isintu angeke sibe nakho ukuzingcwelisa nokuvuza; ngaphandle kolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, isintu angeke sibe nokukhonza kweqiniso nokuzinikezela, kuphela ukukhonza okweqile okungenabo ubufakazi nezinkolelo-ze; ngaphandle kolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, isintu angeke sakwazi ukwenza ngendlela kaNkulunkulu, noma ukwesaba uNkulunkulu, noma ukubalekela okubi. Kunalokho, konke ukwenza nokuziphatha umuntu azibandakanya nakho kuyogcwala ukuphikisa nokwedelela, okunezinsolo zokuhlambalaza kanye nokwehlulela okungalungile Ngaye kanye nokuziphatha ngobubi enze okuphambanayo neqiniso nencazelo eyiqiniso yamazwi kaNkulunkulu.

Lapho isintu sinokwethemba ngeqiniso kuNkulunkulu, siyoba neqiniso ekumlandeleni nokwethembela Kuye; ngokuba nokwethemba kweqiniso kuphela kanye nokuncika kuNkulunkulu, isintu singaba nokuqondisisa kweqiniso nokwazi; ngokuhambisana nokuqondisisa ngeqiniso uNkulunkulu kufika ekunakekeleni Yena kwangempela; ngokunakekela uNkulunkulu ngokweqiniso kuphela isintu singaba nokuhlonipha kweqiniso; ngenhlonipho yeqiniso kuphela kuNkulunkulu isintu singaba nokuzinikela kweqiniso; ngokuzinikela kuNkulunkulu ngeqiniso kuphela isintu singaba nokukhonza okungenamibandela nokungenasikhalo; kuphela ngokwethemba nokuncika ngeqiniso, ngokuqondisisa ngeqiniso nokunakekela, ukuhlonipha kweqiniso nokuzinikela ngeqiniso nokukhonza, isintu singaqala ukwazi isimo nengqikithi kaNkulunkulu, kanye nokwazi ubunjalo boMdali; uma sesifinyelele ekumazini uMdali kuphela ilapho isintu singavuselela kuso ukukhonza nokuthoba kweqiniso; kuphela uma benokukhonza uMdali nokuthoba kweqiniso isintu siyokwazi ukubeka eceleni izindlela zaso ezimbi, lokho okungukuthi, ukubalekela okubi.

Lokhu kuhlanganisa indlela ephelele “yokwesaba uNkulunkulu ubalekele okubi,” nokuthi kubuye kube yingqikithi seyiphelele yokwesaba uNkulunkulu nokubalekela okubi, kanjalo futhi nendlela okumele ihanjwe ukuze kufikwe ekwesabeni uNkulunkulu nokubalekela okubi.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi UNkulunkulu Kuyindlela Eya Ekumesabeni UNkulunkulu Nokudeda Kokubi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

416. Okokuqala, siyazi ukuthi isimo sikaNkulunkulu sinamandla amakhulu, nolaka. Akayona imvu engahlatshwa yinoma ubani; ngaphezu kwalokho, akayena unodoli ongalawulwa abantu ngendlela abayithathandayo. Akawona futhi umoya ongenalutho okufanele kwenziwe umathanda kuwo. Uma ukholwa ngempela ukuthi uNkulunkulu ukhona, kufanele ube nenhliziyo emesabayo, kufanele wazi ukuthi isiqu sikaNkulunkulu asicasulwa. Le ntukuthelo ingabangelwa yizwi; mhlawumbe umcabango; noma uhlobo oluthile lokuziphatha ngokona; ukuziphatha okwenyanyekayo emehlweni kaNkulunkulu nemikhuba yomuntu; noma mhlawumbe kubangelwe imfundiso noma inkolelo. Nokho, uma uke wamthukuthelisa uNkulunkulu, ithuba lakho lidlulile futhi izinsuku zakho sezifikile. Lena into enyantisayo! Uma ungaqondi ukuthi uNkulunkulu akathukutheliswa, kusho ukuthi awumesabi uNkulunkulu, nokuthi umcasula ngazo zonke izikhathi. Uma ungazi ukuthi umesabe kanjani uNkulunkulu, kusho ukuthi awukwazi ukwesaba uNkulunkulu, futhi awuyazi indlela yokuzifaka endleleni kaNkulunkulu—wesabe uNkulunkulu ugweme okubi. Uma usukuqaphela lokho, uyokwazi ukuthi uNkulunkulu ngeke acasulwe, futhi uyokwazi ukuthi kusho ukuthi ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nemiphumela Umsebenzi Wakhe Oyoyithola” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

417. Nakuba ingxenye yesiqu sikaNkulunkulu iluthando, futhi bonke ebabonisa umusa, abantu bayalishalazela futhi bayalikhohlwa iphuzu lokuthi isiqu Sakhe siphinde sibe isithunzi Sakhe. Ukuthi unothando akusho ukuthi abantu bangamcasula kanjalo nje okuthi akanayo imizwa, noma ngeke enze lutho. Ukuthi unomusa akusho ukuthi akanayo imiyalo endleleni aphatha ngayo abantu. UNkulunkulu uyaphila; ukhona ngempela. Akayena unodoli ocatshangwayo noma okunye. Njengoba ekhona, kufanele silale izwi lenhliziyo Yakhe ngaso sonke isikhathi, sinake umbono Wakhe futhi siqonde imizwa Yakhe. Akufanele sisebenzise imicabango yabantu ukuze sichaze uNkulunkulu, futhi akufanele siphoqe imicabango nezifiso zabantu kuNkulunkulu, senze uNkulunkulu ovumelana neso lomuntu nokucabanga kwakhe endleleni aphatha ngayo abantu. Uma wenza kanjalo, khona-ke uthukuthelisa uNkulunkulu, uvusa intukuthelo kaNkulunkulu, futhi ubekela isithunzi sikaNkulunkulu inselele! Ngakho, ngemva kokuqonda ubukhulu bale ndaba, nginxusa ngamunye wenu ukuba aqaphele endleleni enza ngayo. Qapha futhi uhlakaniphe endleleni okhuluma ngayo. Futhi mayelana nendlela ophatha ngayo uNkulunkulu, kuyoba ngcono ukuthi uqaphe futhi uhlakaniphe! Lapho ungaqondi ukuthi umbono kaNkulunkulu uyini, ungakhulumi ngokunganaki, ungabi onganaki ezenzweni zakho, futhi ungenzi ngokunganaki ezintweni ezincane. Okukhulu nakakhulu, ungasheshi ufinyelele eziphethweni. Kunalokho, kufanele ume bese ufuna; lokhu kuphinde kube ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi. Ngaphezu kwakho konke, uma ufeza lokhu, futhi uba nalo mbono, uNkulunkulu ngeke akusole ngobuphukuphuku bakho, ukungazi kwakho, nokuntula ukuqonda izizathu zokwenzeka kwezinto. Kunalokho, ukwesaba kwakho uNkulunkulu, ukuhlonipha kwakho izinhloso zikaNkulunkulu, nokuzimisela kwakho ukumlalela, kuyokwenza uNkulunkulu akukhumbule, akuqondise futhi akukhanyisele noma abekezelele ukungavuthwa nokunganaki kwakho. Ngokuphambene, uma umbono wakho kuye ungabalulekile—ushesha ukwahlulela uNkulunkulu, ukuqagela, nokunikeza incazelo kaNkulunkulu—uNkulunkulu uyokunika isiqinisekiso, isiyalo, ngisho nokujeziswa; noma uyokunika amazwi. Mhlawumbe la mazwi abandakanya umphumela wakho. Ngakho ngisafuna ukuphinde ngigcizelele: Kufaneleuqaphe futhi ahlakaniphe kunoma yini evela kuNkulunkulu. Ungakhulumi ngokunganaki, futhi uqaphe lapho wenza izinto. Ngaphambi kokusho okuthile, kufanele ucabange: Ingabe ukwenza lokhu kuyomthukuthelisa uNkulunkulu? Ingabe ukwenza lokhu kuwukwesaba uNkulunkulu? Ngisho nasezintweni ezincane, kufanele uzame ukuphendula le mibuzo, ucabangisise ngempela ngayo. Uma ungakwazi ngempela ukwenza ngokuvumelana nale miyalo yonke indawo, kuzo zonke izinto, zonke izikhathi, bese uba nalesi simo somqondo ikakhulukazi lapho kukhona ongakuqondi, khona-ke uNkulunkulu uyohlale ekuqondisa, futhi uyohlale ekunika indlela okufanele uyilandele.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nemiphumela Umsebenzi Wakhe Oyoyithola” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

418. Ngiyaninxusa ukuba niqondisise kahle ingqikithi yezinqumo zokuphatha, bese nenza imizamo yokwazi isimo sikaNkulunkulu. Kungenjalo, niyokuthola kunzima ukugcina izindebe zenu zivalekile nolimi lwenu lungakhulumi ngokukhululeka okukhulu izinto ezizwakala ziphakeme, futhi ninganakile ningona esimweni sikaNkulunkulu ebese niwela ebumnyameni, nilahlekelwe ubukhona bukaMoya oNgcwele nokukhanya. Ngoba aninayo imigomo ezenzweni zenu, wenza noma usho izinto ezingafanele, uyothola ukujeziswa okufanele. Kumele wazi ukuthi noma ngabe awunamgomo ngokwamazwi akho nangezenzo zakho, uNkulunkulu unomgomo kukho kokubili. Isizathu esenza uthole isijeziso ukuthi wedelele uNkulunkulu, hhayi umuntu. Uma, empilweni yakho, wenza amacala amaningi aphambana nesimo sikaNkulunkulu, nakanjani uyoba wumntwana wesihogo. Kumuntu kungabukeka sengathi wenze iziphambeko nje ezimbalwa ezingahambisani neqiniso futhi okuyinto engelutho. Ingabe uyazi, nokho, ukuthi emehlweni kaNkulunkulu, vele usungomunye okungasenamhlatshelo wesono kubo? Ngoba sewephule izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha ngaphezu kokukodwa kanye nokuthi awukhombisi luphawu lokuphenduka, ngakho-ke akusekho okunye ongakwenza ngaphandle kokwehlela esihogweni lapho uNkulunkulu ejezisa umuntu khona. Iqembu elincane labantu, ngesikhathi lilandela uNkulunkulu, lenza izenzo ezithile eziphambene nemigomo, kodwa ngemuva kokubhekana (noNkulunkulu) nokuqondiswa, laya ngokuya lakubona ukukhohlakala kwalo, labuyela endleleni elungile yeqiniso futhi lisaqhubeka nokuzinza namuhla. Labo bantu abanjalo yilabo abayosala ekugcineni. Kodwa yilabo abathembekile engibafunayo; uma ungumuntu owethembekile futhi owenza ngokomgomo, ungaba yisethenjwa sikaNkulunkulu. Uma ezenzweni zakho ungoni esimweni sikaNkulunkulu futhi ufuna intando kaNkulunkulu futhi unenhliziyo yokumdumisa uNkulunkulu, ukholo lwakho lusezingeni elifanele. Labo abangamhloniphi uNkulunkulu futhi abangenayo inhliziyo ethuthumelayo ngokwesaba bazozephula kalula izinqumo zokuphatha zikaNkulunkulu. Abaningi basebenzela uNkulunkulu ngenxa yamandla okushiseka futhi abazazi izinqumo zokuphatha zikaNkulunkulu, kungasaphathwa ukuqonda ngemithelela yezwi Lakhe. Ngakho phezu kwezinhloso zabo ezinhle, bavame ukugcina sebenza lokho okuphazamisa ukuphatha kukaNkulunkulu. Ezimweni ezimbi kakhulu balahlwa ngaphandle futhi bancishwe lonke elinye ithuba lokumlandela bese bephonswa esihogweni kume konke ukuzihlanganisa nendlu kaNkulunkulu. Laba bantu basebenza endlini kaNkulunkulu ngezinhloso ezinhle ezingenalwazi bese begcina sebethukuthelisa isimo sikaNkulunkulu. Abantu beza nezindlela zabo zokusebenzela izikhulu namakhosi endlini kaNkulunkulu, bese bezama ukuzisebenzisa, becabanga ngokuyize ukuthi zingasetshenziswa kalula nalapha. Abazange bacabange ukuthi uNkulunkulu akanaso isimo sewundlu kodwa esebhubesi. Ngakho-ke, labo abazihlanganisa noNkulunkulu okokuqala abakwazi ukukhuluma Naye, ngokuba inhliziyo kaNkulunkulu ayifani neyomuntu. Ungakwazi kuphela ukwazi uNkulunkulu emva kokuqonda amaqiniso amaningi. Lolu lwazi alwakhiwe kuphela yimishwana noma izimfundiso, kodwa lungasetshenziswa njengegugu ongangena kulo ekwethembaneni okusondelene n0Nkulunkulu nanjengobufakazi bokuthi uyathokoza ngawe. Uma uswele ulwazi lwangempela futhi unganikeziwe iqiniso, ukusebenza kwakho ngentshisekelo kungaletha phezu kwakho ukucasuka kanye nenzondo kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

419. Uma ungasiqondi isimo sikaNkulunkulu, ngeke neze ukwazi ukwenza umsebenzi okufanele umenzele wona. Uma ungabazi ubunjalo bukaNkulunkulu, ngeke kwenzeke ukuthi umkhombise inhlonipho nokumesaba, kunalokho uyomkhombisa ukukha phezulu okungenakulalela nokukhohlisa okungenangqondo, ngaphezu kwalokho nibe nokuhlambalaza okungenakulungiseka. Nakuba ukuqonda isimo sikaNkulunkulu impela kubalulekile, nokwazi ubunjalo bukaNkulunkulu kungeke kubukelwe phansi, akekho oseke wakuxilonga lokhu futhi wangena wajula kulezi zindaba. Kusobala ukuthi nonke niyishaye indiva imiyalo yokuziphatha enganinika yona. Uma ungasiqondi isimo sikaNkulunkulu, kulula ukuthi usone kalula nje isimo Sakhe. Ukona okufuze lokhu kufana ncamashí nokucasula uNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi umphumela wasekugcineni wokwenza kwakho uba ukuphikisana nezinqumo zokuziphatha. Manje kumele ubone ukuthi ukuqonda isimo sikaNkulunkulu kuhambisana nokuqonda izinqumo zokuphatha. Ngokuqinisekile, izinqumo eziningi zokuphatha zithinta isimo sikaNkulunkulu, kodwa isimo Sakhe asiveziwe sonke phakathi kuzo. Yikho udinga ukuthatha elinye inyathelo ukukhulisa ukuqonda kwakho isimo sikaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

420. UNkulunkulu unguNkulunkulu ophilayo, futhi njengoba abantu benza ngokungafani ezimweni ezehlukahlukene, isimo Sakhe somqondo ngalezi zenzo siyehluka ngoba akayena unodoli futhi akawona umoya ongenalutho. Ukwazi umbono kaNkulunkulu kuyinto isintu okufanele siyilandele. Abantu kufanele bafunde kanjani, ngokwazi umbono kaNkulunkulu, bengasazi isimo sikaNkulunkulu futhi baqonde inhliziyo kaNkulunkulu kancane kancane. Lapho uqonda inhliziyo kaNkulunkulu kancane kancane, ngeke usacabanga ukuthi ukwe saba uNkulunkulu nokugwema okubi kunzima ukukufeza. Okukhulu nakakhulu, ukuthi lapho uqonda uNkulunkulu, akulula kuwe ukuthi ufinyelele eziphethweni Ngaye. Lapho uyeka ukufinyelela eziphethweni ezithile ngoNkulunkulu, akulula ukuthi umcasule, futhi uNkulunkulu uyokwenza ube nolwazi Ngaye, futhi uyokwesaba uNkulunkulu enhliziyweni yakho. Uyoyeka ukuchaza uNkulunkulu usebenzisa lezi zimfundiso, amagama, nezinkolelo. Kunalokho, ngokuhlale ufuna izinhloso zikaNkulunkulu kuzo zonke izinto, unganakile uyoba umuntu olandela inhliziyo kaNkulunkulu.

Isintu asikwazi ukubona noma ukuthinta umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa ngokukaNkulunkulu, izenzo zomuntu ngamunye, kanye nombono wakhe Ngaye—lezi akuzona nje izinto eziphawulekayo kuye, kodwa ziyabonakala futhi. Lena yinto wonke umuntu okufanele ayazi futhi imcacele. Kungenzeka uhlale uzibuza: “Ingabe uNkulunkulu uyazi ukuthi ngenzani lapha? Ingabe uNkulunkulu uyazi ukuthi ngicabangani manje? Mhlawumbe uyazi, mhlawumbe akazi.” Uma ulungabaza lolu hlobo lombono, ulandela futhi ukholwa kuNkulunkulu kodwa ungabaza umsebenzi Wakhe nokuba khona Kwakhe, khona-ke kungekudala kuzofika usuku omcasula ngalo, ngoba usudlulile kakade emngceleni oyingozi obekungafanele uweqe. Ngike ngabona abantu abebekholwa kuNkulunkulu iminyaka eminingi, kodwa abakaze babone ukuba ngokoqobo kweqiniso, noma baqonde intando kaNkulunkulu. Ukuphila nesiqu sabo akunayo inqubekela phambili, kunamathela kuphela ezimfundisweni. Lokhu kungenxa yokuthi laba bantu abakaze babheke izwi likaNkulunkulu njengokuphila kwabo, futhi abakaze babhekane noma bamukele ukuba khona Kwakhe. Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyababona abantu abanjalo futhi ajabule ngabo? Ingabe bayamduduza? Ngenxa yalokho, indlela abantu abakholwa ngayo kuNkulunkulu enquma ukudalelwa kwabo. Mayelana nendlela abantu abafuna futhi abeza ngayo kuNkulunkulu, isimo somqondo wabantu sibaluleke kakhulu. Ungamshayi indiva uNkulunkulu kube sengathi ungumoya ongelutho ophephetha ngemuva kwekhanda lakho; hlale ucabanga ngoNkulunkulu okholwa Kuye njengoNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wangempela. Akaswele into angayenza ezulwini lesithathu akulo. Kunalokho, uhlale ehlola izinhliziyo zawo wonke umuntu, ebona ukuthi uphezu kwani, ehlola wonke amazwi amancane, ebona indlela oziphatha ngayo nombono wakho ngoNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi uzimisele ukuzinikela kuNkulunkulu noma cha, konke ukuziphatha kwakho nemicabango namacebo akho kuphambi kukaNkulunkulu, kuhlolwa Nguye. Kungenxa yokuziphatha kwakho, ngenxa yezenzo zakho, ngenxa yombono wakho ngoNkulunkulu, umbono Wakhe ngawe, uhlale ushintsha. Ngithanda ukunika abanye abantu iseluleko: Ningazibeki njengabantwana ezandleni zikaNkulunkulu, njengokungathi kufanele anazise, njengokungathi ngeke anishiye, njengokungathi isimo somqondo Wakhe sigxile ndawonye futhi asisoze saguquka, futhi ngineluleka ukuthi niyeke ukuphupha! UNkulunkulu ulungile endleleni aphatha ngayo umuntu ngamunye. Uyasondela emsebenzini wokunqoba kwesintu nokusindiswa kwaso. Lokho ukuqondisa Kwakhe. Uphatha wonke umuntu njengobalulekile, hhayi njengonodoli wokudlala. Uthando lukaNkulunkulu ngomuntu akulona lolu olumosha umuntu; umusa nokubekezelela Kwakhe isintu akukhona okungacabangeli. Ngokuphambene nalokho, uthando lukaNkulunkulu ngesintu kufanele kwaziswe, futhi kube ukuhlonipha ukuphila; umusa Wakhe nokuba nesineke Kwakhe kwembula lokho akulindele kumuntu; umusa Wakhe nokuba nesineke yilokho okudingwa isintu ukuze sisinde. UNkulunkulu uyaphila, futhi uNkulunkulu ukhona; umbono Wakhe ngesintu ubuswa yizimiso, awuphoqi lutho, futhi ungashintsha. Intando yakho ngomuntu iyashintsha kancane kancane futhi iyaguquka ngokuhamba kwesikhathi, ngezimo nangombono womuntu ngamunye. Ngakho kumele wazi ngokucace kakhulu enhliziyweni yakho ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ayiguquki, nokuthi isimo Sakhe siyobonakala ngezikhathi ezehlukene nasezimweni ezehlukene. Ungase ungacabangi ukuthi le nto ibalulekile, futhi usebenzisa imibono yakho ukuze ucabange ngendlela uNkulunkulu okufanele enze ngayo izinto. Kodwa kunezikhathi lapho okuphambene kakhulu nombono wakho kuyiqiniso, futhi ngokuzama ukusebenzisa imibono yakho ukuze ukale uNkulunkulu, usumcasulile kakade. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu akasebenzi ngendlela ocabanga ukuthi usebenza ngayo, futhi le ndaba uNkulunkulu ngeke ayisingathi ngendlela ocabanga ngayo. Ngakho ngikukhumbuza ukuba uqaphe futhi uhlanzeke kukho konke okwenzayo, ufunde indlela yokulandela imiyalo yokuhamba endleleni kaNkulunkulu kuzo zonke izinto—wesabe uNkulunkulu ugweme okubi. Kufanele ube uziqonde ngokuqinile izindaba zentando kaNkulunkulu nombono kaNkulunkulu; xhumana nabantu abakhanyiselwe, ufune ngobuqotho. Ungabheki uNkulunkulu omkholwayo njengonodoli—wahlulele futhi ufinyelele eziphethweni ezithile, ungamniki uNkulunkulu inhlonipho emfanele. Enqubweni yensindiso kaNkulunkulu, lapho echaza umphumela wakho, kungakhathaleki ukuthi ukunika umusa, noma uyakubekezelela, noma uyakwahlulela noma uyakusola, umbono Wakhe ngawe awuyona into engeke ishintshe. Kuncike endleleni ombheka ngayo uNkulunkulu, ekuqondeni kwakho uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nemiphumela Umsebenzi Wakhe Oyoyithola” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

421. UNkulunkulu uhlale esezinhliziyweni zalabo abakholwa ngokweqiniso kuNkulunkulu futhi bahlale benenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu, inhliziyo ethanda uNkulunkulu. Labo abakholwa kuNkulunkulu kumele benze izinto ngenhliziyo eqaphelayo necophelelayo, futhi konke abakwenzayo kufanele kuhambisane nezimfuno zikaNkulunkulu, bakwazi ukwanelisa inhliziyo kaNkulunkulu. Akufanele baqinise ikhanda, benze noma yini abayithandayo; engahambisani nokulunga okunobungcwele. Abantu abakwazi ukubukisa ngophawu lukaNkulunkulu noma benze umathanda ngalo, bebukisa futhi bekhohlisa yonke indawo; ukwenza lokhu kuwukuhlubuka okwedlulele. Imindeni inemithetho nezizwe zinemithetho, ngakho umndeni kaNkulunkulu awunazo yini ngokwengeziwe izindinganiso eziqinile? Awunazo yini ngokwengeziwe izinqumo zokuphatha? Abantu bakhululekile ukwenza abakufunayo, kodwa izinqumo zokuphatha zikaNkulunkulu azinakuguqulwa umathanda. UNkulunkulu unguNkulunkulu ongabavumeli abantu bamcasule futhi uNkulunkulu ongababulala abantu—ingabe abantu abakwazi ngempela lokhu?

Kucashunwe embhalweni othi “Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

422. Kuzo zonke izinkathi, uNkulunkulu ubeka amazwi athile phezu komuntu lapho esebenza emhlabeni, atshele umuntu amaqiniso athile. La maqiniso asebenza njengendlela umuntu okufanele anamathele kuyo, njengendlela umuntu okufanele ahambe kuyo, indlela evumela umuntu ukuba esabe uNkulunkulu agweme okubi, nendlela abantu okufanele bayenze futhi banamathele kuyo ukuphila kwabo konke nakulo lonke uhambo lwabo lwempilo. Kungenxa yalesi sizathu uNkulunkulu ebeke la mazwi kumuntu. La mazwi avela kuNkulunkulu, umuntu kufanele anamathele kuwo, futhi ukunamathela kuwo kusho ukuthola ukuphila. Uma umuntu enganamatheli kuwo, engawenzi, futhi engaphili ngamazwi kaNkulunkulu ekuphileni kwakhe, khona-ke lo muntu akalenzi iqiniso. Futhi uma abantu bengalenzi iqiniso, basuke bengamesabi uNkulunkulu futhi bengakugwemi okubi, futhi bengamenelisi uNkulunkulu. Uma othile engamenelisi uNkulunkulu, kusho ukuthi ngeke uNkulunkulu abatuse; lolu hlobo lomuntu alunawo umphumela.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nemiphumela Umsebenzi Wakhe Oyoyithola” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

423. Ukuhamba endleleni kaNkulunkulu akukho mayelana nokugcina imithetho obala. Kunalokho, kusho ukuthi uma ubhekene nendaba, okokuqala, uzoyibheka njengesimo esihlelwe uNkulunkulu, isibopho uNkulunkulu asibeke kuwe, noma njengokuthile akuphathise khona, ukuthi lapho ubhekene nalesi simo, kufanele usibheke njengesihlelwe uNkulunkulu. Lapho ubhekene nale ndaba, kumele ube nezinga, kumele ucabange ukuthi ivela kuNkulunkulu. Kumele ucabange ngendlela ozosingatha ngayo le ndaba ukuze ufeze isibopho sakho, sokwethembeka kuNkulunkulu; ungakwenza kanjani ngendlela engamcasuli uNkulunkulu, noma ecasula isimo Sakhe. … Ngoba ukuze sihambe ezindleleni zikaNkulunkulu, asikwazi ukudedela noma yini emayelana nathi, noma yini esizungezile, ngisho nezinto ezincane. Akukhathaleki ukuthi sicabanga ukuthi kufanele sikunake noma cha, uma nje kusenendaba esibhekile, akufanele sikudedele. Konke kufanele kubhekwe njengovivinyo uNkulunkulu asivivinya ngalo. Unjani lo mbono? Uma unalolu hlobo lombono, lokho kuqinisekisa leli qiniso: Inhliziyo yakho yesaba uNkulunkulu, futhi inhliziyo yakho izimisele ngokugwema okubi. Uma unalesi sifiso sokwanelisa uNkulunkulu, khona-ke okwenzayo akuqhelelene nezinga lokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi.

Kunalabo abacabanga ukuthi izindaba ezinakwa abantu kakhulu, izindaba empeleni okungakhulunywa ngazo—zimane ziyizinto ezingabalulekile, futhi azihlanganise lutho nokwenza iqiniso. Lapho laba bantu bebhekene nendaba enjalo, abacabangisisi ngayo bayayeka idlule. Kodwa eqinisweni, le ndaba iyisifundo okufanele ufunde ngaso, isifundo esimayelana nokwesaba uNkulunkulu, nokugwema okubi. Ngaphezu kwalokho, into okufanele ukhathazeke ngayo kakhulu ukwazi ukuthi uNkulunkulu wenzani lapho wena ubhekana nale nkinga. UNkulunkulu usohlangothini lwakho, uqapha wonke amazwi nezenzo zakho, nezinguquko ezisengqondweni yakho—lona umsebenzi kaNkulunkulu. Abanye bathi: “Kungani pho ngingawuzwa?” Awukaze uwuzwe ngenxa yokuthi indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi akukakabi indlela ebalulekile kuwe yokunamathela kukho. Ngakho, awukwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu, oziveza ngemicabango nezenzo zabantu ezihlukahlukene. Awugxilile! Iyiphi indaba ebalulekile? Iyiphi indaba encane? Zonke izindaba ezihilela ukuhamba endleleni kaNkulunkulu azehlukanisiwe kwaba khona ezinkulu nezincane. Ningakwemukela lokho? (Singakwemukela.) Mayelana nazo zonke izindaba, kunalezo abantu abazibona njengezinkulu kakhulu nezibalulekile, futhi ezinye zibhekwa njengezincane. Abantu bavame ukubheka lezi zindaba ezinkulu njengezibaluleke kakhulu, futhi bacabanga ukuthi zivela kuNkulunkulu. Nokho, njengoba lezi zindaba ezinkulu ziqhubeka, kuhlaluka isimo sokungavuthwa komuntu nokungakhaliphi kwakhe, umuntu uvame ukungabi nenhloso eyodwa noNkulunkulu, futhi akakwazi ukuthola noma ikuphi ukwambulelwa, futhi ngeke athole noma iluphi ulwazi olubalulekile. Ngakho-ke ngokuphathelene nezindaba ezincane, zivame ukunganakwa abantu, bayaziyeka zidlule kancane kancane. Ngakho, balahlekelwe amathuba amaningi okuhlolwa phambi kukaNkulunkulu, ukuvivinywa Nguye. Uma nawe ungabanaki laba bantu, izinto nezindaba nezimo uNkulunkulu akuhlelele zona, lokho kuyosho ukuthini? Kusho ukuthi njalo, ngaso sonke isikhathi, uhlale umemezela ukuthi uNkulunkulu ukuphelelisile, nokuthi uyakuhola. Noma nini lapho uNkulunkulu ekuhlelela isimo, uyakubuka ekusithekeni, ubuka inhliziyo yakho, ubuka imicabango yakho, ubuka indlela ocabanga ngayo nozokwenza ngayo. Uma ungumuntu onganaki—umuntu ongazange abheke indlela kaNkulunkulu njengebalulekile, izwi likaNkulunkulu, noma iqiniso—khona-ke ngeke ube nomqondo ohluzekile, ngeke ukunake lokhu uNkulunkulu afuna ukukuphothula, nalokho uNkulunkulu akufuna kuwe lapho ekuhlelela izimo. Ngeke futhi uyazi indlela abantu, izinto, nezindaba ohlangabezana nazo ezihlangana ngayo neqiniso noma nezinhloso zikaNkulunkulu. Ngemva kokubhekana nezimo eziphindelelayo nezilingo ezizodwa njengalezi, futhi uNkulunkulu engaboni ntuthuko egameni lakho, uNkulunkulu uyomisa kanjani? Ngemva kokubhekana ngokuphindaphindiwe nezilingo, awumdumisi uNkulunkulu enhliziyweni yakho, futhi awuzibheki izimo uNkulunkulu akuhlelela zona njengoba zinjalo—njengezilingo noma izivivinyo zikaNkulunkulu. Kunalokho, wenqaba amathuba uNkulunkulu awabeka kuwe, uwenze akuphunyuke ngokuphindaphindiwe ngazo zonke izikhathi. Akukhona yini ukungalaleli okukhulu lokhu komuntu? (Yikho.) Ingabe uNkulunkulu uyoba lusizi ngenxa yalokhu? (Yebo.) UNkulunkulu ngeke abe lusizi! Ukungizwa ngikhuluma kanje sekuphinde kwanethusa futhi. Ngaphezu kwakho konke, akushiwongo yini ekuqaleni ukuthi uNkulunkulu uhlale elila? UNkulunkulu ngeke alile? Uyoba nini sosizini kanti uNkulunkulu? Kodwa-ke uNkulunkulu ngeke alile ngenxa yalesi simo. Khona-ke siyini isimo sikaNkulunkulu ngalolu hlobo oluboniswe ngenhla lokuziphatha? Lapho abantu benqaba izilingo, izivivinyo, uNkulunkulu abanika zona, lapho behlehla kuzo, uwodwa kuphela umbono uNkulunkulu awubeke kulabo bantu. Yimuphi lowo mbono? UNkulunkulu uyalwenqaba lolu hlobo lomuntu ekujuleni kwenhliziyo Yakhe. Igama elithi “ukwenqaba” linezincazelo ezimbili. Ngingazichaza kanjani? Ekujuleni, igama liqukethe umqondo wokwenyanya, wokuzonda. Ngokwencazelo yesibili? Linengxenye ebonisa ukugeza izandla ngento ethile. Sonke siyazi ukuthi “ukugeza izandla” kusho ukuthini, akunjalo? Ngamafuphi, ukwenqaba kusho isinyathelo sokugcina sikaNkulunkulu ngabantu abaziphatha ngaleyo ndlela. Kuyinzondo enkulu ngabo, ukwenyanya, yingakho ethathe isinqumo sokubalahla. Lesi isinqumo sokugcina sikaNkulunkulu ngabantu abangakaze bahambe endleleni Yakhe, abangakaze bamesabe noma bagweme okubi.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nemiphumela Umsebenzi Wakhe Oyoyithola” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

424. Ukwesaba nokulalela kukaJobe uNkulunkulu kuyisibonelo esintwini, futhi ukulunga nobuqotho bakhe yiqophelo lobuntu okufanele umuntu abe nalo. Nakuba engazange ambone uNkulunkulu, wabona ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela, futhi wamesaba uNkulunkulu—futhi ngenxa yokwesaba uNkulunkulu, wakwazi ukulalela uNkulunkulu. Wanika uNkulunkulu ithuba lokuthatha noma yini ayenayo, kodwa futhi wangakhononda, wawa phambi kukaNkulunkulu wathi, ngaso leso sikhathi, ngisho noma uNkulunkulu ethatha inyama yakhe, uyomvumela ngaphandle kokuba nenkinga, ngaphandle kokukhononda. Konke ukuziphatha kwakhe kwakusekelwe ebuntwini obuphelele futhi obuqotho. Okusho ukuthi, ngenxa yobumsulwa bakhe, ukwethembeka, nomusa, uJobe wayengenalo iso elintengantengayo ngokuba khona kukaNkulunkulu, futhi ngenxa yaleli zinga ayephila ngalo, nezinga lakhe lokucabanga, naziphatha ngalo ezenzweni zakhe phambi kukaNkulunkulu, wayenza ngokuvumelana nesiqondiso sikaNkulunkulu nezenzo zikaNkulunkulu ayezibone phakathi nazo zonke izinto. Ngemva kwesikhathi, izinto azibona zamenza wamesaba ngobuqotho uNkulunkulu futhi wagwema okubi. Lona kwakuwumthombo wobuqotho uJobe awubamba wawuqinisa. UJobe wayenobuntu obethembekile, obumsulwa, futhi obunomusa, esaba noNkulunkulu, elalela uNkulunkulu, futhi egwema okubi, kanye nolwazi lokuthi “uJehova uphile, futhi uJehova uthathile.” Kungenxa yalezi zinto kuphela akwazi ukumelana futhi wanikeza ubufakazi ekuhlaselweni ngonya uSathane, futhi yizo ezamenza wangamdumaza uNkulunkulu wanika uNkulunkulu impendulo egculisayo lapho uvivinyo lukaNkulunkulu luphezu kwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

425. UJobe wayengakaze abone ubuso bukaNkulunkulu, noma amuzwe ekhuluma, ingasaphathwa eyokuthi abone mathupha umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa lokhu kwesaba uNkulunkulu nobufakazi baphakathi nezilingo zakhe kwabonwa yibo bonke, buyathandwa, buyajabulisa, futhi butuswa uNkulunkulu, kanti abantu bayabuhlonipha futhi bayabazisa, futhi babuhubela izingoma zokudumisa. Ayikho into eyayiyinkulu noma ingavamile ngokuphila kwakhe: Njenganoma imuphi umuntu ojwayelekile, waphila kamnandi, uma kuphuma ilanga eya emsebenzi abuye ekhaya uma seliyozilahla kunina. Umehluko ukuthi kula mashumi amaningi eminyaka, wayiqonda indlela kaNkulunkulu, wawabona futhi wawaqonda amandla amakhulu nobukhosi bukaNkulunkulu, ngendlela ongekho umuntu owake wakubona ngayo. Wayengahlakaniphile ukwedlula abanye abantu, ukuphila kwakhe kwakungakhethekile, ngaphezu kwalokho, wayengenawo amakhono akhethekile angabonakali. Kodwa ayenakho, kwakuwukwethemba, inhliziyo enhle, ubuqotho, ubuntu obunothando nokulunga futhi enothando ngezinto ezinhle—okuyinto abantu abaningi abavamile ababengenazo. Wayehlukanisa phakathi kothando nenzondo, wayenobulungiswa, engahoxi, ebelesela futhi enakisisa imininingwane ekucabangeni kwakhe, futhi lapho esemhlabeni, wabona zonke izinto ezingavamile uNkulunkulu ayezenzile, wabona ubukhulu, ubungcwele, nokulunga kukaNkulunkulu, wabona ukukhathazeka kukaNkulunkulu, umusa, nokuvikela Kwakhe umuntu, futhi wabona ukuhlonipheka negunya likaNkulunkulu ophakeme. Into yokuqala eyenza uJobe wathola lezi zinto ezazingatholwa abantu abajwayelekile ukuthi wayenenhliziyo ehlanzekile, futhi inhliziyo yakhe yayingekaNkulunkulu, yayiholwa uMdali. Isizathu sesibili kwakuyizinto ayezifuna: wayefuna izinto ezinhle kakhulu, neziphelele, nomuntu ozohambisana nentando yeZulu, owayethandwa uNkulunkulu, egwema okubi. UJobe wayenazo lezi zinto ngesikhathi engakakwazi ukubona uNkulunkulu noma ukuzwa amazwi kaNkulunkulu; nakuba ayengakaze ambone uNkulunkulu, wayazi indlela uNkulunkulu aphatha ngayo zonke izinto, futhi waqonda nokuhlakanipha uNkulunkulu akusebenzisayo. Nakuba ayengakaze ezwe uNkulunkulu ekhuluma, uJobe wayazi ukuthi izenzo zokuvuza umuntu nokuthatha okomuntu konke kuvela kuNkulunkulu. Nakuba iminyaka yokuphila kwakhe ingahlukile kweyomuntu ojwayelekile, akazange avumele izinto ezingakholakali ekuphileni kwakhe zithinte ulwazi lwakhe ngobukhosi bukaNkulunkulu kuzo zonke izinto, noma ukulandela kwakhe indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi. Emehlweni akhe, imithetho yazo zonke izinto yayigcwele izenzo zikaNkulunkulu, futhi ubukhosi bukaNkulunkulu babungabonakala kunoma iyiphi ingxenye yokuphila komuntu. Wayengakaze ambone uNkulunkulu, kodwa wayekwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu kuyo yonke indawo phakathi naso sonke isikhathi sakhe emhlabeni, kukho konke ukuphila kwakhe, wayekwazi ukubona izinto nezenzo ezingavamile zikaNkulunkulu, namalungiselelo amangalisayo kaNkulunkulu. Ukuzifihla nokuthula kukaNkulunkulu akuzange kumthikameze uJobe ekutheni abone izenzo zikaNkulunkulu, futhi akuzange kuthikameze ulwazi lwakhe ngobukhosi bukaNkulunkulu kuzo zonke izinto. Ukuphila kwakhe kwakumayelana nokuqaphela ubukhosi namalungiselelo kaNkulunkulu, owayengabonakali, ekuphileni kwakhe kwansuku zonke. Ekuphileni kwakhe kwansuku zonke wezwa futhi waqonda izwi lenhliziyo namazwi, okwavezwa uNkulunkulu buthule, phakathi nokuqondisa imithetho yazo zonke izinto. Ngakho uyabona ukuthi uma abantu benobuntu obufana nobukaJobe, bengabona futhi babe nolwazi olufana nolukaJobe, bengabuqonda ngendlela efanayo ubukhosi bukaNkulunkulu ngaphezu kwazo zonke izinto. UNkulunkulu akazange avele kuJobe noma akhulume naye, kodwa uJobe wakwazi ukulunga, nokuba qotho, nokwesaba uNkulunkulu azonde okubi. Ngamanye amazwi, ngaphandle kokuvela nokukhuluma nomuntu, izenzo zikaNkulunkulu phakathi nazo zonke izinto nobukhosi Bakhe kuzo zonke izinto kwanele ukuze umuntu azi ukuthi uNkulunkulu ukhona, unamandla, kanye negunya, futhi amandla negunya likaNkulunkulu kwanele ukuze kwenze lo muntu alandele indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema ukwenza okubi.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

426. “Ukwesaba uNkulunkulu nokudeda kokubi” nokwazi uNkulunkulu kuxhumene ngezintambo eziningi ngokungehlukaniswe, futhi ukuxhumana phakathi kwazo kuyabonakala. Uma umuntu efisa ukufinyelela ekubalekeleni okubi, kumele yena kuqala abe nokwesaba uNkulunkulu ngeqiniso; uma yena efisa ukuzuza ukwesaba uNkulunkulu ngeqiniso, yena kuqala kumele amazi uNkulunkulu ngeqiniso; uma efisa ukuthola ulwazi ngoNkulunkulu, yena kumele kuqala abenolwazi lwamazwi kaNkulunkulu, aqiniseke ngamazwi kaNkulunkulu, abenolwazi lokujeziswa nokuqondiswa nguNkulunkulu, ukujeziswa nokwahlulelwa Nguye; uma yena efisa ukuba nolwazi lalawa mazwi kaNkulunkulu, yena kumele kuqala abhekane ubuso nobuso namazwi kaNkulunkulu, abhekane ubuso nobuso noNkulunkulu, nokucela uNkulunkulu amuphe amathuba okuwezwa amazwi kaNkulunkulu ngezindlela zonke ezahlukene ezifaka phakathi umuntu, izehlakalo nezinto; uma yena efisa ukubhekana ubuso nobuso noNkulunkulu namazwi kaNkulunkulu, yena kumele kuqala abe nenhliziyo engazithwele futhi elungile, akulungele ukwamukela iqiniso, inhliziyo yokubekezelela ubunzima, ukuzimisela kanye nesibindi sokubalekela okubi, kanye nentshisekelo yokuba yisidalwa esiqinisekile…. Ngale ndlela, ukuya phambili kancane kancane, kuzokusondeza nakakhulu kuNkulunkulu, inhliziyo yakho iyoya iba msulwa ngokwengeziwe, futhi impilo yakho nokubaluleka kokuba uyaphila kuyoba, ngokuhambisana nolwazi lwakho ngoNkulunkulu, kuyoba nenjongo eyengeziwe futhi kuyokhula ukucaca ngokwengeziwe. Kuze kube olunye usuku, lapho uyozwa khona ukuthi uMdali akaseyona impica-badala, ukuthi uMdali akakaze afihleke kuwe, ukuthi uMdali akakaze abufihle ubuso Bakhe kuwe, ukuthi uMdali akakude neze nawe, ukuthi uMdali akaseyena Lona ohlale umlangazelela emicabangweni yakho kodwa ongakwazi ukufinyelela Kuye ngemizwa yakho, ukuthi Yena ngokoqobo futhi ngeqiniso uhlale ekubhekile kwesokunxele nesokudla sakho, esekela ukuphila kwakho, futhi elawula okudalelwe. Akakude noma akazifihlile Yena phezulu emafini. Useceleni kwakho, wengamele phezu kwakho konke okwakho, uyikho konke onako, futhi uwukuphela kwento onayo. UNkulunkulu onjalo ukuvumela ukuba umthande ngenhliziyo, unamathele Kuye, umbambele eduze, umkhonze, wesabe ukulahlekelwa Nguye, nokuthi ungazimiseli ngokuphinde umphike, uphinde ungamhloniphi Yena noma ukuphinde umgweme Yena futhi noma umbeke kude le. Konke ofuna ukukwenza ukunakekela Yena, ukulalela Yena, ukubuyisela Kuwe konke akunikeza khona, nokuthobela umbuso Wakhe. Awusenqabi manje ukuqondiswa, ukunikezwa, ukubhekwa, nokugcinwa Nguye, awusakwenqabi lokho Yena akushoyo nalokho akunqumela kona. Konke okufunayo ukulandela Yena, uhambe eduze Kwakhe kwesokunxele noma kwesokudla Sakhe, konke okufunayo ukumamukela Yena njengowukuphila kwakho kuphela, njengowukuphela kweNkosi noNkulunkulu wakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi UNkulunkulu Kuyindlela Eya Ekumesabeni UNkulunkulu Nokudeda Kokubi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

427. Uma abantu behlangabezana nomsebenzi kaNkulunkulu, ulwazi lwabo lokuqala Ngaye kuba ukuthi akaqondakali, ukhaliphile futhi uyamangalisa, futhi bamhloniphe ngokuzenzakalela bengaboni futhi bezwe imfihlakalo yomsebenzi awenzayo, ongaphezu kokufinyelela komuntu. Abantu bafuna ukukwazi ukuhlangabezana nezidingo Zakhe, ukwanelisa ukulangazelela Kwakhe; abafisi ukumedlula, ngoba umsebenzi awenzayo ungaphezu kokucabanga komuntu futhi umuntu ngeke aze akwazi ukuwenza. Ngisho umuntu uqobo akazazi izici zakhe, kube uvule indlela entsha futhi uzofaka abantu emhlabeni omusha nomuhle kakhulu, ukuze isintu sibe nenye inqubekelaphambili futhi siqale kabusha. Le mizwa abantu abayizwayo ngoNkulunkulu ayisilo uthando, noma kunalokho, akusilo uthando kuphela. Abakuzwa kakhulu ukwesaba nothando; umuzwa wabo wukuthi uNkulunkulu umangalisa ngempela. Wenza umsebenzi abantu abangeke bakwazi ukuwenza, usho izinto abantu abangeke bakwazi ukuzisho. Abantu ababhekane nomsebenzi Wakhe bahlala bebhekana nomuzwa ongachazeke. Abantu ababhekana nokujulile bamthanda kakhulu uNkulunkulu. Bahlala bezwa ubuhle Bakhe, babona ukuthi umsebenzi Wakhe ukhaliphe kakhulu, muhle kakhulu, futhi lokhu kubanika amandla angelinganiswe. Akusikho ukwesaba noma uthando lwesikhashana noma inhlonipho, kodwa umuzwa ojulile wokuthanda uNkulunkulu nokubekezela komuntu. Nokho, abantu ababhekane nokusola nokwahlulela Kwakhe bamuzwa enobukhosi futhi engoneki. Ngisho abantu ababhekane kakhulu nomsebenzi Wakhe abakwazi ukumqonda; bonke abantu abamkhonza ngokugcwele bayazi ukuthi umsebenzi Wakhe awuqondene nokuqonda kwabantu kodwa uhlala uphikisana nakho. Akadingi ukuthi abantu bamthande ngokugcwele noma benze sengathi bayamthobela, kodwa kunalokho ukuthi babe nenhlonipho ephelele kanye nokuthobeka kweqiniso. Emsebenzini Wakhe omningi, wonke umuntu oke wabhekana naye umhlonipha kakhulu, okungaphezu kokuthando. Abantu ababone isimo Sakhe ngenxa yomsebenzi Wakhe wokusolwa nokwahlulela, futhi abamhloniphayo ngenxa yalokho ezinhliziyweni zabo. UNkulunkulu kumele ahlonishwe, ngoba ubuyena kanye nesimo Sakhe akufani nalokho okudalwe ngabantu, futhi kungaphezu kokomuntu odaliwe. UNkulunkulu uzivelele futhi ukhona kuze kube phakade, akakhiwanga, futhi nguye kuphela ofanele ahlonishwe futhi athotshelwe; umuntu akafanelekile yilokhu. Ngakho, bonke abantu ababhekane nomsebenzi Wakhe futhi abamazi ngokweqiniso bayamhlonipha. Nokho, labo abangakudedeli ukuqonda kwabo Ngaye, okuwukuthi, labo abangamthathi ngokuthi unguNkulunkulu, abangamhloniphi nhlobo, futhi yize bemlandela abanqotshiwe; bangabantu bemvelo abangahloniphi. Wenza lo msebenzi ukuze athole umphumela wokuthi bonke abantu abadaliwe bangahlonipha Umdali, bamkhonze, futhi bathobela ukubusa Kwakhe ngaphandle kwemigomo. Lo ngumphumela wokugcina umsebenzi Wakhe uwonke ozama ukuphumelela kuwo. Uma abantu ababhekane nomsebenzi onje bengamhloniphi uNkulunkulu, ngisho kancane nje, uma ukungalaleli kwabo kwangaphambilini kungashintshi nhlobo, laba bantu bayakunqunywa nakanjani. Uma umoya womuntu awubhekise kuNkulunkulu kuwukuthanda nokubonisa inhlonipho ekudeni futhi kungasikho ukuthanda ngisho kancane, lokhu kuyinto okufinyelela kuyo umuntu ongenayo inhliziyo yokuthanda uNkulunkulu, futhi lowo muntu akanaso isimo esingapheleliswa. Uma umsebenzi ongaka wehluleka ukuthola uthando lomuntu lweqiniso, lokhu kusho ukuthi umuntu akakamzuzi uNkulunkulu futhi akalilandeli iqiniso ngokwempela. Umuntu ongamthandi uNkulunkulu akalithandi iqiniso futhi ngalokho akakazi ukuthola uNkulunkulu, futhi mancane kakhulu amathuba okugunyazwa uNkulunkulu. Abantu abanjalo, ngisho noma bebhekane nomsebenzi kaMoya oNgcwele ngayiphi indlela, futhi noma bebhekane nokwahlulela kanjani, bayaqhubeka nokuhluleka ukuhlonipha uNkulunkulu. Laba ngabantu abanemvelo engaguquleki, abanesimo esibi ngokwedlulele. Bonke labo abangamhloniphi uNkulunkulu bayonqunywa, ukuze babe yinto yokujeziswa, futhi bayojeziswa njengalabo abenza ububi, abahlupheka ngaphezu kwalabo abenze izinto ezingalungile.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: G. Ngendlela Yokufeza Umsebenzi Ngokwanele

Okulandelayo: I. Ngendlela Yokukhetha Indlela Okholweni

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp