UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni

Ekuqaleni, uNkulunkulu wayephumule. Ngaleso sikhathi kwakungekho bantu noma kungekho nanoma yini enye emhlabeni, futhi awukho umsebenzi uNkulunkulu ayesewenzile. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa wawuqala ngesikhathi kuba khona abantu nangesikhathi abantu bonakaliswa. Kusukela lapho, uNkulunkulu akabange esaphumula kodwa esikhundleni salokho waqala ukuba matasa phakathi kwabantu. Ukukhohlakala kwabantu okwayekisa uNkulunkulu ukuphumula, kwaphinde kwaba ukuhlubuka kwengelosi enkulu okwayekisa uNkulunkulu ukuphumula. Uma uNkulunkulu engamnqobi uSathane futhi asindise abantu abonakalisiwe, uNkulunkulu akasoze angena ekuphumuleni. Njengoba umuntu engaphumuli, kunjalo nakuNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ephinde engena ekuphumuleni, nabantu nabo bayongena ekuphumuleni. Ukuphila kwasekuphumuleni ngeke kube nayo impi, ngeke kube nokungcola futhi ngeke kugcwale ukungalungi okungapheli. Lokhu kusho ukuthi abantu bayobe bengasahlushwa uSathane (lapha elithi “Sathane” libhekisela emandleni anonya), inkohlakalo kaSathane, kanye nokuhlaselwa yinoma yimaphi amandla amelene noNkulunkulu. Yonke into iyohamba ngokohlobo lwayo futhi ikhonze iNkosi yendalo. Amazulu nomhlaba kuthulile kuthe cwaka. Lokhu ukuphila okunokuphumula kwabantu. Lapho uNkulunkulu engena ekuphumuleni, akukho ukungalungi okuyoba khona emhlabeni, futhi ngeke kusaba bikho ukuhlaselwa yinoma yiliphi ibutho elinonya. Abantu bayophinde bangene endaweni entsha; ngeke kuphinde kube nabantu abonakaliswe uSathane, kodwa kuyoba nabantu abasindisiwe ngemva kokonakaliswa uSathane. Usuku abantu abayophumula ngalo luphinde lube usuku uNkulunkulu ayophumula ngalo. UNkulunkulu walahlekelwa ukuphumula Kwakhe ngenxa yokwehluleka kwabantu ukungena ekuphumuleni; akukhona ukuthi wayevele engakwazi ukuphumula. Ukungena ekuphumuleni akusho ukuthi kuzoma zonke izinto ziyoyeka ukunyakaza, noma ukuthi zonke izinto zizoyeka ukusebenza, futhi akusho ukuthi uNkulunkulu uzoyeka ukusebenza nokuthi umuntu ngeke esaphila. Uphawu lokungena ekuphumuleni luyoba kanje: USathane uyobe esebhujisiwe; abantu abakhohlakele ababenza izinto ezimbi noSathane bayobe sebejezisiwe baqothulwa; wo nke amabutho amelene noNkulunkulu ayobe engasekho. Ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni kusho ukuthi ngeke esawenza umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu. Ukungena kwabantu ekuphumuleni kusho ukuthi bonke abantu bayophila ekukhanyeni kukaNkulunkulu nangaphansi kwesibusiso Sakhe; iyobe ingasekho inkohlakalo kaSathane, ziyobe zingasenzeki nezinto ezingalungile. Abantu bayophila ngendlela evamile emhlabeni, futhi bayophila benakekelwa uNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu nabantu bengena ndawonye ekuphumuleni, kuyosho ukuthi abantu basindisiwe nokuthi uSathane usebhujisiwe, nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu kubantu usuphele ngokugcwele. UNkulunkulu ngeke esaqhubeka nokusebenza kubantu, futhi umuntu ngeke esaphila ngaphansi kokubuswa uSathane. Ngakho, uNkulunkulu ngeke esaba matasatasa, nabantu ngeke besaphithizela; uNkulunkulu nabantu bayongena kanye-kanye ekuphumuleni. UNkulunkulu uyobuyela esikhundleni Sakhe sasekuqaleni, nomuntu ngamunye uyobuyela endaweni yakhe. Lezi izindawo uNkulunkulu nomuntu abayohlala kuzo ngemva kokuphela kokuqondisa kukaNkulunkulu. UNkulunkulu unendawo Yakhe aya kuyo, nomuntu naye uneyakhe. Ngesikhathi esaphumule, uNkulunkulu uyoqhubeka eqondisa ukuphila kwabantu emhlabeni. Ngesikhathi esesekukhanyeni kukaNkulunkulu, umuntu uyokhonza uNkulunkulu oyedwa weqiniso osezulwini. UNkulunkulu ngeke esaphila phakathi kwabantu, futhi umuntu ngeke akwazi ukuphila noNkulunkulu endaweni kaNkulunkulu. UNkulunkulu nomuntu ngeke baphile endaweni eyodwa; kunalokho, bobabili banezindlela zabo ezingafani zokuphila. UNkulunkulu Nguyena oqondisa bonke abantu, kuyilapho bonke abantu bewumphumela wokuqondisa komsebenzi kaNkulunkulu. Abantu abaholwayo; mayelana nobuntu, umuntu akafani noNkulunkulu. Ukuphumula kusho ukubuyela endaweni yakho yasekuqaleni. Ngakho lapho uNkulunkulu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu ubuyela endaweni Yakhe yasekuqaleni. UNkulunkulu ngeke esaphila emhlabeni noma abe yingxenye yenjabulo nokuhlupheka kwabantu kuyilapho esenabantu. Lapho umuntu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi umuntu usuke esephenduke indalo yangempela; umuntu uyokhonza uNkulunkulu emhlabeni futhi aphile ukuphila kwabantu okuvamile. Ngeke kusenzeka ukuthi abantu bangamlaleli uNkulunkulu noma benqabe uNkulunkulu; bayophila ngendlela okwakuphila ngayo u-Adamu no-Eva. Lokhu ukuphila okwehlukene nezindawo zikaNkulunkulu nabantu ngemva kokungena kwabo ekuphumuleni. Ukunqotshwa kukaSathane yinto engeke igwemeke empini ephakathi kukaSathane noNkulunkulu. Ngale ndlela, ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni ngemva kokuphela kokuqondisa umsebenzi Wakhe, nokuqeda ukusindisa abantu futhi bangene ekuphumuleni nakho kuyinto engeke igwemeke. Indawo yokuphumula komuntu isemhlabeni, nendawo kaNkulunkulu yokuphumula isezulwini. Ngesikhathi umuntu ekhonza uNkulunkulu ephumule, uyophila emhlabeni, futhi lapho uNkulunkulu ehola ingxenye esele yabantu ekuphumuleni, uyobahola esezulwini hhayi esemhlabeni. UNkulunkulu uyobe esenguMoya, kuyilapho umuntu eyobe esesemzimbeni wenyama. UNkulunkulu nomuntu banezindlela ezingafani zokuphumula. Ngesikhathi uNkulunkulu ephumule, uyoza avele phambi kwabantu; ngesikhathi abantu besaphumule, bayoholwa uNkulunkulu ababonise izulu, futhi abenze bajabulele ukuphila kwasezulwini. Ngemva kokuba uNkulunkulu nomuntu bengene ekuphumuleni, uSathane ngeke esaba khona, futhi njengoSathane, nabantu abakhohlakele ngeke besaba khona. Ngaphambi kokuba uNkulunkulu nomuntu bangene ekuphumuleni, izikhohlakali ezake zashushisa uNkulunkulu emhlabeni nezitha Zakhe ezingamlalelanga emhlabeni ziyobe sezibhujisiwe; ziyobe sezibhujiswe yizinhlekelele ezinkulu zezinsuku zokugcina. Ngemva kokubhujiswa ngokuphelele kwalezo zikhohlakali, umhlaba ngeke uphinde uhlushwe uSathane. Abantu bayothola ukusindiswa okuphelele, futhi umsebenzi kaNkulunkulu uyophela lapho ngokuphelele. Yilokhu okudingwa uNkulunkulu nabantu ukuze bangene ekuphumuleni.

Ukusondela kwesiphetho sazo zonke izinto kuwuphawu lokuphela komsebenzi kaNkulunkulu nolokuphela kokwanda kwesintu. Lokhu kusho ukuthi isintu njengoba sonakaliswe uSathane sesifinyelele esiphethweni sokwanda kwaso, nokuthi inzalo ka-Adamu no-Eva isikuqedile ukuzalana. Futhi kusho ukuthi ngeke kwenzeke ukuba isintu esinjalo, esonakaliswe uSathane, sande. U-Adamu no-Eva ekuqaleni babengonakalisiwe, kodwa u-Adamu no-Eva abaxoshwa ensimini yase-Edene babonakaliswe uSathane. Lapho uNkulunkulu nomuntu bengena kanye-kanye ekuphumuleni, u-Adamu no-Eva—abaxoshwa ensimini yase-Edene—nenzalo yabo ekugcineni bayofinyelela esiphelweni; isintu sakusasa siyobe siseyinzalo ka-Adamu no-Eva, kodwa bayobe bengasekho abantu abaphila ngaphansi kokubusa kukaSathane. Kunalokho, kuyobe kunabantu abasindisiwe base beyangcweliswa. Laba kuyobe kungabantu abahlulelwe futhi basolwa, futhi abangcwele. Laba bantu ngeke bafane nohlanga lwesintu njengoba kwakunjalo ekuqaleni; omunye angacishe athi baluhlobo lwabantu oluhluke ngokuphelele ku-Adamu no-Eva. Laba bantu bayobe bekhethwe phakathi kwabo bonke abantu abebonakaliswe uSathane, futhi bayobe bengabantu abame baqina phakathi nokwahlulela kukaNkulunkulu nokusolwa; bayoba iqembu lokugcina labantu eliphakathi kwesintu esikhohlakele. Yileli qembu labantu kuphela eliyokwazi ukungena ekuphumuleni kokugcina kanye noNkulunkulu. Labo abakwazi ukuma baqine phakathi nomsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela nokusola phakathi nezinsuku zokugcina—okungukuthi, phakathi nomsebenzi wokugcina wokuhlanza—kuyoba yilabo abayongena ekuphumuleni kokugcina kanye noNkulunkulu; ngakho, labo abangena ekuphumuleni bayobe bekhululiwe ethonyeni likaSathane futhi bayobe bezuzwe uNkulunkulu ngemva kokudlula kwabo emsebenzini Wakhe wokuhlanza wokugcina. Laba bantu abazuzwe uNkulunkulu bayongena ekuphumuleni kokugcina. Isici somsebenzi kaNkulunkulu wokusola nokwahlulela ukuhlanza isintu, futhi usuku lokuphumula kokugcina. Ngale kwalokho, bonke abantu ngeke bekwazi ukulandela uhlobo lwabo noma ukungena ekuphumuleni. Lo msebenzi uwukuphela kwendlela yokungena kwesintu ekuphumuleni. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlanza kuphela oyohlanza isintu ekungalungini kwaso, futhi umsebenzi Wakhe wokusola nokwahlulela kuphela oyoveza lezo zinto zokungalaleli phakathi kwesintu, ngalokho wehlukanise labo abangasindiswa kulabo abangeke basindiswe, nalabo abayosala kulabo abangeke basale. Lapho lo msebenzi uphela, labo abayovunyelwa ukuba basale bayohlanzwa bonke futhi bangene esimweni sobuntu esiphakeme ngokwengeziwe lapho beyojabulela khona ukuphila kwabantu kwesibili okumangalisa ngokwengeziwe emhlabeni; ngamanye amazwi, bayongena osukwini lokuphumula lwabantu, baphile noNkulunkulu. Ngemva kokuba labo abangeke basale sebesoliwe futhi bahlulelwa, imikhuba yabo ababeyenza iyokwembulwa ngokuphelele; ngemva kwalokho bayobhujiswa njengoSathane, ngeke baphinde bavunyelwe ukuba baphile emhlabeni. Isintu sakusasa ngeke sibe nohlobo olunjena lwabantu; laba bantu abakulungele ukungena ezweni lokuphumula, futhi abakulungele ukungena osukwini lokuphumula uNkulunkulu ayolujabulela nabantu, ngoba kuhloswe ukuthi bajeziswe futhi babi, ababona abantu abalungile. Bake batakulwa, baphinde bahlulelwa futhi basolwa; bake banikela inkonzo kuNkulunkulu umsebenzi, kodwa lapho kufika usuku lokugcina, bayoqothulwa futhi babhujiswe ngenxa yokukhohlakala kwabo nangenxa yokungalaleli kwabo futhi abanakuphinde batakulwe. Ngeke baphinde baphile emhlabeni esikhathini esizayo, futhi ngeke baphile nohlanga lwesintu lwesikhathi esizayo. Noma yibaphi abenza okubi nabangasindiswanga bayobhujiswa lapho abangcwele phakathi kwesintu bengena ekuphumuleni, kungakhathaleki ukuthi bashonile noma bayaphila. Akunandaba ukuthi baphila kuyiphi inkathi laba bantu abenza okubi, noma imimoya yabalungile nalabo abenza ukulunga, bonke abenza okubi bayobhujiswa, futhi bonke abantu abalungile bayosindiswa. Ukuthi umuntu noma umoya uyasindiswa noma cha, akuncikile ngokuphelele emsebenzini awenza esekhulile, kodwa kunqunywa ukuthi bamenqaba yini noma bamphika uNkulunkulu. Uma abantu benza okubi enkathini eyedlule, futhi bengashintshi izindlela zabo, nakanjani bayoba izisulu zesijeziso. Uma abantu kule nkathi benza okubi futhi bengashintshi izindlela zabo, nakanjani nabo bayizisulu zokujeziswa. Abantu bahlukene phakathi ngenxa yokulungile nokubi, hhayi ngenxa yenkathi abaphila kuyo. Uma beke bahlukaniswa ngenxa yokulungile nokubi, abantu abajeziswa noma bathole umvuzo ngokushesha; kunalokho, uNkulunkulu uyokwenza umsebenzi Wakhe wokujezisa ububi nokuklomelisa ukulunga ngemva kokwenza umsebenzi Wakhe wokunqoba ezinsukwini zokugcina. Empeleni, ubelokhu esebenzisa okulungile nokubi ukuze ahlukanise isintu, kusukela ngesikhathi enza ngaso umsebenzi Wakhe phakathi kwesintu. Uyomane abusise olungile futhi ajezise omubi lapho eqeda umsebenzi Wakhe, esikhundleni sokuhlukanisa ababi nabalungile lapho eseqeda umsebenzi Wakhe ekugcineni, uyobe eselandela ngokushesha nesu lokujezisa ababi anike abalungile umvuzo. Umsebenzi Wakhe wasekugcineni wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo wenziwa ukuze kuhlanzwe ngokuphelele sonke isintu, ukuze alethe ukuphumula kwaphakade kuso sonke isintu esingcwele. Lesi sigaba somsebenzi Wakhe siwumsebenzi obucayi kakhulu. Siyisigaba sokugcina sawo wonke umsebenzi Wakhe wokuqondisa. Uma uNkulunkulu engababhubhisanga ababi kodwa ebayeka basale, sonke isintu besingeke sikwazi ukungena ekuphumuleni, futhi uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuletha sonke isintu endaweni engcono. Lolu hlobo lomsebenzi belungeke luphele ngokuphelele. Lapho eqeda umsebenzi Wakhe, sonke isintu siyoba ngcwele ngokuphelele. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu engaphila khona ekuphumuleni ngokuthula.

Abantu namuhla bayehluleka ukuhlukana nezinto zenyama; abakwazi ukulahla injabulo yomzimba wenyama, abakwazi nokulahla izwe, imali, noma isimo sabo esikhohlakele. Abantu abaningi izinto bazifuna ngentukuthelo. Eqinisweni, labo bantu abanaye nhlobo uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo; ngaphezu kwalokho, abamesabi uNkulunkulu. Abanaye uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, ngenxa yalokho abaziqondi zonke izinto ezenziwa uNkulunkulu, futhi abakwazi nokukholwa amazwi uNkulunkulu awakhuluma ngomlomo Wakhe. Laba bantu bayinyama kakhulu; bonakaliswe kakhulu futhi bantula iqiniso, okukhulu nakakhulu, abakholwa ukuthi uNkulunkulu uma ethanda engaba nawo umzimba wenyama. Noma ubani ongakholelwa kuNkulunkulu esimweni somuntu—okungukuthi, noma ubani ongakholwa umsebenzi namazwi kaNkulunkulu obonakalayo futhi ongakholelwa kuNkulunkulu obonakalayo kodwa kunalokho ekhulekela uNkulunkulu ongabonakali osezulwini—akanaye uNkulunkulu enhliziyweni Yakhe. Bangabantu abangalaleli futhi abaphika uNkulunkulu. Laba bantu bantula ubuntu nomqondo, lingasabalwa iqiniso. Ngoba laba bantu, kuningi abangakukholwa ngoNkulunkulu obonakalayo nongokoqobo, uNkulunkulu ongabonakali futhi okungabonakali sengathi ungokoqobo, ukude kakhulu nezinhliziyo zabo. Abakufunayo akulona iqiniso lento engokoqobo, futhi akuwona amaqiniso okuphila, akuhlobene nezinhloso zikaNkulunkulu; kunalokho balwela ukufica injabulo. Noma iziphi izinto abazifuna kakhulu nabazifisayo, ngaphandle kokuthandabuza, kusuke kuyizinto ezizuzisa bona nezifunwa yibo. Okuwukuphela kwento ebenza bakholelwe kuNkulunkulu ukuthi bafuna ukwanelisa izifiso zabo, hhayi ukufuna iqiniso. Ingabe akubona yini abantu ababi laba? Bazithemba ngokwedlulele, futhi abakholwa ukuthi uNkulunkulu osezulwini angababhubhisa, laba abazibiza “ngabantu abalungile.” Esikhundleni salokho, bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyobavumela basale, futhi ngaphezu kwalokho, uyobanika umvuzo wokuhle, ngoba bamenzele izinto eziningi uNkulunkulu, futhi babonisa “ubuqotho” obukhulu Kuye. Uma befuna uNkulunkulu obonakalayo, bebeyomelana ngokushesha noNkulunkulu noma bathukutheliswe ukungafezeki kwezifiso zabo. Laba abantu abakhohlakalele ukwanelisa izifiso zabo; ababona abantu abaqotho abafuna iqiniso. Abantu abanjalo babizwa ngokuthi ngabantu ababi abalandela uKristu. Labo bantu abangalifuni iqiniso, abanakulikholelwa iqiniso. Phezu kwalokho abakwazi ngokwengeziwe ukubona ikusasa lesintu, ngoba awukho umsebenzi noma amazwi kaNkulunkulu obonakalayo abawakholwayo, futhi ngeke bakholelwe ekusaseni lomuntu. Ngakho, ngisho noma bemlandela uNkulunkulu weqiniso, basakwenza okubi futhi abalifuni iqiniso, abakwenzi nalokho okufunwa iqiniso. Labo bantu abangakukholwa ukuthi bazobhujiswa ngokuphambene yibona empeleni abazobhujiswa. Bonke bacabanga ukuthi bahlakaniphile, futhi bakholelwa ukuthi yibo abenza okushiwo yiqiniso. Ukuziphatha kabi kwabo bakubheka njengeqiniso futhi bayakuqhakambisa. Laba bantu abakhohlakele bazibona belungile; iqiniso balenza imfundiso, bese izenzo ezimbi bezenza iqiniso, futhi ekugcineni bayovuna abakutshalile. Lapho abantu bezibona khona belungile, yilapho beba khona ngabantu abazidlayo, yila bengakwazi khona ukuthola iqiniso; lapho abantu bekholelwa kuNkulunkulu osezulwini, yilapho bemphika khona. Laba abantu abayojeziswa. Ngaphambi kokuba isintu singene ekuphumuleni, kungakhathaliseki ukuthi uhlobo ngalunye lomuntu luyajeziswa noma lunikwa umklomelo, kuyobonakala ngendlela abalifuna ngayo iqiniso, ngendlela abamazi ngayo uNkulunkulu, ngokuthi bangakwazi yini ukulalela uNkulunkulu obonakalayo. Labo abakhonze uNkulunkulu obonakalayo kodwa bengamazi futhi bengamlaleli, abanalo iqiniso. Laba bantu bangabenzi bokubi, futhi abenzi bokubi nakanjani bayojeziswa; ngaphezu kwalokho, kufanele bajeziswe ngokokuziphatha kwabo ngokona. UNkulunkulu ngowokuthi abantu bakholwe Kuye, futhi kumfanele ukulalelwa umuntu. Labo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyinqaba futhi akabonakali, abakholelwa kuNkulunkulu, futhi abakwazi ukulalela uNkulunkulu. Uma laba bantu namanje bengakakwazi ukukholelwa kuNkulunkulu obonakalayo ngesikhathi umsebenzi Wakhe wokunqoba usuphelile, futhi bephikelela ngokungamlaleli futhi bemphika uNkulunkulu obonakalayo ngeso lenyama, laba bantu abangezwakali kahle nakanjani bayobhujiswa. Kungendlela efanayo naphakathi kwenu—noma ubani ovuma ngomlomo ukuthi uNkulunkulu ukhona kodwa angakwenzi okushiwo iqiniso okuwukuthi alalele uNkulunkulu, ekugcineni uyoqothulwa futhi abhujiswe, futhi noma ubani omvuma ngomlomo uNkulunkulu obonakalayo, adle bese ephuza eqinisweni elivezwe uNkulunkulu obonakalayo kodwa ngemva kwalokho ambheke njengoNkulunkulu oyinqaba ongabonakali bonke bayobhujiswa esikhathini esizayo. Akekho kulaba bantu ongahlala kuze kube isikhathi sokuphumula ngemva kokuphothulwa komsebenzi kaNkulunkulu; akekho ongafana nalaba bantu abahlala kuze kube isikhathi sokuphumula. Abantu abanobudemoni yilabo abangalenzi iqiniso; ubuntu babo yilobo obuphikisana futhi obungathembeki kuNkulunkulu, futhi abanazo nezinhloso ezincane zokulalela uNkulunkulu. Bonke abantu abanjalo bayobhujiswa. Kungakhathaliseki ukuthi uneqiniso noma uphika uNkulunkulu, okwenzayo kungenxa yesiqu sakho, hhayi ngenxa yendlela obukeka ngayo noma izinto ovame ukuzikhuluma noma indlela ovame ukuziphatha ngayo. Ubuntu bawo wonke umuntu yibona obunqumayo ukuthi lowo muntu uyobhujiswa; lokhu kunqunywa ngenxa yobuntu obembulwa ukuziphatha kwabo nendlela abalifuna ngayo iqiniso. Phakathi kwabantu abenza umsebenzi ofanayo nesilinganiso esifanayo somsebenzi, labo abanobuntu obuhle futhi abaneqiniso bangabantu abangahlala, kodwa labo abanobuntu obuhle futhi abaneqiniso bangabantu abangasala, kodwa labo abanobuntu obukhohlakele futhi abangamlaleli uNkulunkulu obonakalayo yibo okufanele babhujiswe. Noma yimuphi umsebenzi kaNkulunkulu noma amazwi aqondiswe endaweni isintu esiya kuyo, abhekana nesintu ngendlela efanele ingqikithi yomuntu ngamunye; akukho nencane ingozi eyokwenzeka, futhi ngeke kwenzeke ngisho nephutha elilodwa. Umuzwa noma umqondo womuntu ungena kuphela lapho umsebenzi wenziwa ngabantu. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu muhle kakhulu; nakanjani ngeke asukele noma yisiphi isidalwa ngokungeyikho. Manje baningi abantu abangakwazi ukubona ikusasa lesintu nalapho siphokophele khona futhi abangawakholwa amazwi engiwakhulumayo; bonke labo abangawakholwa, kanye nalabo abangaphili ngeqiniso, bangamademoni!

Labo abafunayo nalabo abangafuni manje bayizinhlobo ezimbili ezingafani zabantu, futhi bayizinhlobo ezimbili zabantu eziphokophele ezindaweni ezimbili ezingafani. Labo abafuna ulwazi lweqiniso futhi benze okushiwo iqiniso bangabantu uNkulunkulu ayobasindisa. Labo abangayazi indlela yeqiniso bangamademoni nezitha; bayinzalo yengelosi embi enkulu futhi bayobhujiswa. Ngisho nabantu abakholelwa kuNkulunkulu ongaqondakali—ingabe abawona yini nabo amadimoni? Abantu abanonembeza ohlanzekile kodwa abangayamukeli indlela yeqiniso bangamademoni; ubuntu babo buyamphika uNkulunkulu. Labo abangayamukeli indlela yeqiniso yilabo abamphikayo uNkulunkulu, futhi ngisho noma laba bantu bebekezelela ubunzima obuningi, basazobhujiswa. Labo abangazimisele ukuhlukana nezwe, abangakwazi ukushiya abazali babo, abangakwazi ukuhlukana nenjabulo yenyama yabo, bonke abamlaleli uNkulunkulu futhi bayobhujiswa. Noma ubani ongakholelwa ekubeni nesimo somuntu kukaNkulunkulu unobudemoni; okungaphezu kwalokho, ukuthi uzobhujiswa. Labo abakholwayo kodwa abangalenzi iqiniso, labo abangakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, kanye nalabo abangakholelwa nhlobo ukuthi uNkulunkulu ukhona, bazobhujiswa. Noma ubani ozokwazi ukusala ungumuntu odlule osizini lokucwengwa futhi wama waqina; lona ngempela umuntu odlule ezilingweni. Noma ubani ongamazisi uNkulunkulu uyisitha; lokho kusho ukuthi noma ubani ongaphakathi noma ongaphandle kwalo mthombo ongakwazisi ukuthi uNkulunkulu ukhona ungumphikikukristu! Ubani uSathane, obani amademoni, futhi obani izitha zikaNkulunkulu uma kungebona abaphikisi abangakholelwa kuNkulunkulu? Akubona yini labo abangamlaleli uNkulunkulu? Akubona yini labo abavuma ngomlomo ukuthi bayakholwa, kodwa abangenalo iqiniso? Akubona yini laba bantu abalwela ukuthola izibusiso kodwa abangakwazi ukufakaza ngoNkulunkulu? Usaxubana nalawo madimoni namuhla, uyawezwela futhi uyawathanda, kodwa kulokhu akukhona yini ukuthi unezinhloso ezinhle ngoSathane? Awuzibandakanyi yini namadimoni? Uma abantu kulezi zinsuku bengakakwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi, futhi beqhubeka nokuthanda nokuzwela ngobumpumputhe ngaphandle kwenhloso yokufuna intando kaNkulunkulu noma ukwazi ukuphatha izinhloso zikaNkulunkulu njengezabo noma ngayiphi indlela, khona-ke isiphetho sabo siyoba sibi ngokwengeziwe. Noma ubani ongakholwa kuNkulunkulu enyameni uyisitha sikaNkulunkulu. Uma uba nonembeza nothando ngesitha, usuke ungakuntuli yini ukulunga? Uma usebenzisana nalabo engibenyanyayo nengingavumelani nayo, futhi usababonisa uthando noma imizwa ekhethekile, awuyena yini umuntu ongalaleli? Awumphiki yini ngamabomu uNkulunkulu? Ingabe umuntu ofana nalona unalo yini iqiniso? Uma abantu benonembeza ngezitha, bethanda amadimoni futhi benozwelo ngoSathane, khona-ke abawuphazamisi yini ngamabomu umsebenzi kaNkulunkulu? Labo abakholelwa kuJesu kuphela bengakholelwa ekubeni nesimo somuntu kukaNkulunkulu phakathi nalezi nsuku zokugcina futhi labo abavuma ngomlomo ukuthi uNkulunkulu ukhona kodwa benze izinto ezimbi, bangabaphikikukristu, ingasaphathwa eyabantu abangakholelwa kuNkulunkulu. Bonke laba bantu bayobhujiswa. Izinga umuntu ahlulela ngalo omunye, lisekelwe endleleni aziphatha ngayo; lowo oziphatha kahle ungumuntu olungile, lowo oxegelwa isimilo ukhohlakele. Izinga uNkulunkulu ahlulela ngalo umuntu lisekelwe ekutheni lowo muntu uyamlalela yini; lowo olalela uNkulunkulu ungumuntu olungile, futhi lowo ongamlaleli uNkulunkulu uyisitha futhi ungumuntu okhohlakele, kungakhathaliseki ukuthi ukuziphatha kwalowo muntu kuhle noma kubi, kungakhathaliseki ukuthi lowo muntu ukhuluma ngendlela efanele noma engafanele. Abanye abantu bafisa ukusebenzisa lezo zenzo ezinhle ukuze bazitholele indawo enhle abazoya kuyo, kanti abanye bafisa ukusebenzisa amazwi ukuze bathenge ngawo indawo enhle. Abantu bacabanga ngokuyiphutha ukuthi uNkulunkulu unquma ikusasa lomuntu ngokwendlela aziphatha nakhuluma ngayo, ngakho abantu abaningi bazofuna ukusebenzisa lokhu ukuze bazitholele umusa wesikhashana ngokukhohlisa. Abantu kamuva abayosinda baphumule, bonke bayobe bebekezelile ngosuku losizi futhi befakazile ngoNkulunkulu; bonke bayoba ngabantu abawenzile umsebenzi wabo futhi abazimisele ukulalela uNkulunkulu. Labo abamane bafise ukusebenzisa ithuba lokwenza inkonzo ukuze bagweme ukuphila ngeqiniso ngeke bakwazi ukuhlala. UNkulunkulu unamazinga afanele awahlelele imiphumela yokuziphatha kwabo bonke abantu; akamane nje enze lezi zinqumo ngokwamazwi noma ukuziphatha komuntu othile, futhi akazenzi ngenxa yokuziphatha kwabo kwesikhashana nje. Nakanjani ngeke abe nozwela ngabo bonke abaziphatha ngokukhohlakala ngenxa yenkonzo yothile yesikhathi esidlule ayenzela uNkulunkulu, futhi ngeke avikele okuthile ekufeni ngenxa yesenzo esisodwa asenzele uNkulunkulu. Akekho ongabalekela ukujeziswa ngenxa yobubi abenzile, futhi akekho ongafihla ukuziphatha kabi kwakhe ngaleyo ndlela abalekele isahlulelo sokubhujiswa. Uma umuntu engenza indima yakhe ngobuqotho, lokho kungasho ukuthi uyothembeka kuNkulunkulu kuze kube phakade futhi akabhekile imivuzo, kungakhathaliseki ukuthi uyazithola izibusiso noma akazitholi. Uma abantu bethembeka lapho bebona izibusiso kuNkulunkulu, kodwa ukwethembeka kwabo kuphele lapho bengasaziboni izibusiso futhi ekugcineni bengakwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, bengakwazi ukwenza indima yabo ngendlela okufanele bayenze ngayo, labo bantu abake bakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka basazobhujiswa. Ngamafuphi, abantu abakhohlakele ngeke baphile kuze kube phakade, futhi ngeke bangene ekuphumuleni; abalungile kuphela abayophumula. Ngemva kokungena kwesintu ngomgudu ofanele, abantu bayophila ngendlela evamile. Umuntu ngamunye uyokwenza indima yakhe futhi athembeke kakhulu kuNkulunkulu. Nakanjani kuyophela ukungalaleli nokukhohlakala kwabo, bayophilela uNkulunkulu futhi bayophila ngenxa kaNkulunkulu. Ngeke besakwazi ukungalaleli noma ukuphika uNkulunkulu. Lokhu ukuphila kukaNkulunkulu nomuntu nokuphila kwasembusweni, kuwukuphila kokuphumula.

Labo abaya esontweni nezingane kanye nezihlobo zabo ezingenalo nakancane ukholo, bazicabangela bona bodwa ngokwedlulele, futhi babonisa umusa nje abanawo. Laba bantu, bagxile ekuthandeni kuphela, akunandaba ukuthi bayakholwa noma cha futhi abanandaba nokuthi kuyintando kaNkulunkulu yini. Abanye baletha amakhosikazi abo phambi kukaNkulunkulu, noma abazali babo phambi kukaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi uMoya oNgcwele uyavuma yini noma wenza umsebenzi kaNkulunkulu, benganakile “balethela uNkulunkulu abantu abanekhono.” Iyiphi inzuzo okungenzeka itholakale ngokubonisa laba bantu abangakholwa umusa? Ngisho noma laba abangakholwa, abangenawo uMoya oNgcwele beshikashikeka ukuze balandele uNkulunkulu, abanakusindiswa njengoba omunye engase acabange kanjalo. Empeleni labo abathola insindiso akulula ukubathola. Labo abangakaze badlule emsebenzini kaMoya oNgcwele nasezilingweni futhi abangazange bapheleliswe uNkulunkulu abanakuphelela nhlobo. Ngakho, laba bantu bebentula uMoya oNgcwele kusukela ngesikhathi abaqala ngaso ukulandela uNkulunkulu. Ngenxa yezimo zabo, ngeke benziwe baphelele. Ngakho, uMoya oNgcwele ngeke ubandisele amandla, futhi ngeke ubanike ukukhanya noma ubaqondise nganoma iyiphi indlela; umane ubavumele ukuba balandele bese ekugcineni kuvele ukuthi bebephokophele kuphi—lokhu kwanele. Ugqozi nezinhloso zomuntu kuvela kuSathane, futhi ngeke nangayiphi indlela baphelelise umsebenzi kaMoya oNgcwele. Akukhathaliseki ukuthi umuntu uluhlobo olunjani, kumele abe nomsebenzi kaMoya oNgcwele—ingabe umuntu angamphelelisa omunye umuntu? Kungani indoda ithanda umkayo? Futhi kungani umfazi ethanda umyeni wakhe? Kungani izingane zibalalela abazali bazo? Kungani abazali bezazisa izingane zabo? Uhlobo olunjani lwezinhloso abantu abalukhonze ngempela? Ingabe abakwenzeli ukwanelisa amacebo abo nezifiso zobugovu? Ingabe kuyicebo lokuqondisa kukaNkulunkulu ngempela? Ingabe kungokomsebenzi kaNkulunkulu? Ingabe kwenzelwe ukufeza umsebenzi wesidalwa? Labo abaqale bakholelwe kuNkulunkulu futhi abangawutholi uMoya oNgcwele, abasoze bawuthola umsebenzi kaMoya oNgcwele; kuye kwanqunywa ukuthi laba bantu bayobhujiswa. Akunandaba ukuthi umuntu ubathanda kangakanani, lokho akunakungena esikhundleni sikaMoya oNgcwele. Ugqozi nothando lomuntu kumelela izinhloso zomuntu, kodwa akunakuwumelela umsebenzi kaNkulunkulu. Ngisho noma umuntu ebathanda futhi ebazwela ngezinga elingaphezu kwelilindelekile labo abakholelwa kuNkulunkulu futhi benze sengathi bayamlandela kodwa bengazi ukuthi kuyini ukukholelwa kuNkulunkulu, ngeke baluthole uzwela lukaNkulunkulu noma umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngisho noma abantu abalandela uNkulunkulu ngobuqotho behlupheka futhi bengakwazi ukuqonda amaqiniso amaningi, basengawuthola umsebenzi kaMoya oNgcwele ngezinye izikhathi, kodwa labo abazingeni eliphezulu kodwa bengenalo ukholo oluqotho ngeke babuthole ubukhona bukaMoya oNgcwele. Ayikho indlela laba bantu abangasindiswa ngayo. Ngisho noma befunda izwi likaNkulunkulu noma benokuzwa imiyalezo ngesinye isikhathi noma batuse uNkulunkulu, ekugcineni ngeke bakwazi ukusala enkathini yokuphumula. Ukuthi umuntu ufuna ngobuqotho akunqunywa indlela abanye abamahlulela ngayo noma indlela abantu abamzungezile abambheka ngayo, kodwa kunqunywa ukuba kwabo noMoya oNgcwele nokuthi uMoya oNgcwele ube khona kubo, futhi ukuzimisela kubaluleke kakhulu kungakhathaliseki ukuthi isimo sabo siyashintsha noma banolwazi ngoNkulunkulu ngemva kokudlula emsebenzini kaMoya oNgcwele isikhathi esithile; uma uMoya oNgcwele usebenza kumuntu, isimo salowo muntu kancane kancane siyoshintsha nombono wakhe ngokukholelwa kuNkulunkulu uyoya ngokuya ukhula. Kungakhathaliseki ukuthi umuntu usemlandele isikhathi eside kangakanani uNkulunkulu, uma nje esephendukile, lokho kungasho ukuthi uMoya oNgcwele uyasebenza kuye. Uma engaphendukile, lokho kungasho ukuthi uMoya oNgcwele awusebenzi kuye. Ngisho noma laba bantu benikela inkonzo ethile, bagqugquzelwa izinhloso zabo ukuba bazitholele okuhle. Inkonzo eyenziwa ngezikhathi ezithile ngeke yenze kube noshintsho ezimweni zabo. Ekugcineni basazobhujiswa, ngoba asikho isidingo sabanikela inkonzo embusweni, futhi abadingeki labo abanesimo esingazange sishintshe sakhonza labo bantu abenziwe baphelela futhi abathembekile kuNkulunkulu. La mazwi esikhathi esidlule, athi, “Lapho umuntu ekholelwa eNkosini, wonke umndeni walowo muntu uba nenhlanhla,” ayayifanela iNkathi Yomusa kodwa awahlobene nendawo umuntu aphokophele kuyo. Ayefanele kuphela isigaba esiphakathi kweNkathi Yomusa. Umqondo ohlosiwe ngala mazwi uqondiswe ekuthuleni nasezibusisweni zenyama abantu abajabulayo ngazo; awaqondile ukuthi wonke amalungu omndeni womuntu okholelwa eNkosini ayosindiswa, futhi awaqondile ukuthi lapho umuntu ethola okuhle, nawo wonke umndeni wakhe uyongena ekuphumuleni. Ukuthi umuntu uyazithola izibusiso noma uyahlupheka kunqunywa ubuntu bomuntu, akunqunywa ubuntu obuvamile anabo nabanye. Umbuso awunalo lolu hlobo lwenkulumo noma lomthetho. Uma umuntu ekwazi ukusinda, kungenxa yokuthi ukwazile ukuhlangabezana nezinto ezifunwa uNkulunkulu, futhi uma umuntu engakwazi ukuhlala kuze kufike isikhathi sokusala, lokho kungenxa yokuthi lowo muntu akamlaleli uNkulunkulu futhi akanelisekile ngezinto ezifunwa uNkulunkulu. Wonke umuntu unendawo ekahle aphokophele kuyo. Lezi zindawo zinqunywa ubuntu bomuntu futhi azihlangene ngokuphelele nabanye. Ukuziphatha ngokona kwengane akunakuguqulwa kube okwabazali bayo, futhi ukulunga kwengane ngeke kuphinde kube okwabazali bayo. Ukuziphatha okukhohlakele komzali ngeke kube okwezingane zakhe, futhi ukulunga komzali ngeke kube okwezingane zakhe. Wonke umuntu uyazithwalela izono zakhe, futhi wonke umuntu uyayijabulela inhlahla yakhe. Akekho ongashintshaniswa nomunye. Lokhu ukulunga. Ngeso lomuntu, uma abazali beba nenhlanhla, kuyoba njalo nangezingane zabo, uma izingane zenza okubi, abazali kumele babambele izingane zabo. Lena indlela umuntu acabanga ngayo nendlela enza ngayo izinto. Akuyona indlela uNkulunkulu abheka ngayo izinto. Umphumela wawo wonke umuntu unqunywa ubuntu bakhe obuvela endleleni aziphatha ngayo, futhi kuhlale kunqunywa ngendlela efanele. Akekho ongathwala izono zomunye; ngisho nangaphezu kwalokho, akekho ongajeziswa esikhundleni somunye. Lokhu kuliqiniso. Ukunakekela komzali izingane zakhe akusho ukuthi zizokwenza izinto ezilungile ebuntwaneni bazo, futhi ukulalela kwengane ngothando abazali bayo akusho ukuthi ingenzela abazali bayo izinto ezinhle. Lena incazelo eyiqiniso yala mazwi, “Khona-ke kuyoba nababili ensimini; oyedwa uzothathwa, bese omunye asale. Abesifazane ababili bayobe besila etsheni; omunye uyothathwa, bese omunye asale.” Abekho abangangenisa izingane zabo ezenza okubi ekuphumuleni ngenxa yokuthanda kwabo izingane zabo okujulile, futhi akekho ongangenisa umkakhe (noma umyeni wakhe) ekuphumuleni ngesisekelo sokuziphatha okulungile. Lona umthetho wokuziphatha; akufanele kube khona owenzelelayo. Abenzi bokulunga bangabenzi bokulunga; futhi abenzi bokubi bangabenzi bokubi. Abenzi bokulunga bayokwazi ukusinda, futhi abenzi bokubi bayobhujiswa. Abangcwele bangcwele; akukhona ukuthi bangcolile. Abangcolile bangcolile, ayikho ingxenye abangcwele kuyo. Bonke abantu abakhohlakele bazobhujiswa, futhi bonke abalungile bazosinda, ngisho noma izingane zababi zenza ukulunga, futhi ngisho noma abazali bomuntu olungile benza izinto ezimbi. Abukho ubudlelwane phakathi komyeni okholwayo nomfazi ongakholwa, futhi abukho ubudlelwane phakathi kwezingane ezikholwayo nabazali abangakholwa. Bayizinhlobo ezimbili zabantu ezingafani. Ngaphambi kokungena ekuphumuleni, umuntu usuke enezihlobo, kodwa uma esengene ekuphumuleni, zisuke zingasekho izihlobo angakhuluma ngazo. Labo abenza umsebenzi wabo nalabo abangawenzi bayizitha; labo abazonda uNkulunkulu nalabo abamzondayo bamelene bobabili. Labo abangena ekuphumuleni nalabo ababhujisiwe bayizinhlobo ezimbili ezingafani zezidalwa. Izidalwa ezenza umsebenzi wazo ziyosindiswa, futhi izidalwa ezingawenzi umsebenzi wazo ziyobhujiswa; okukhulu nakakhulu ukuthi, lokhu kumele kuqhubeke kuze kube phakade. Ingabe uyamthanda umyeni wakho ukuze ugcwalise umsebenzi wakho njengesidalwa? Ingabe uyamthanda umkakho ukuze agcwalise umsebenzi wakho njengesidalwa? Ingabe uyabalalela abazali bakho abangakholwa ukuze uphelelise umsebenzi wakho njengesidalwa? Ingabe umbono womuntu ngokukholelwa kuNkulunkulu muhle noma mubi? Kungani ukholelwa kuNkulunkulu? Yini ofuna ukuyithola? Umthanda kanjani uNkulunkulu? Labo abangakwazi ukufeza umsebenzi wabo njengezidalwa futhi abangawenzi umzamo ogcwele, bayobhujiswa. Abantu namuhla banobudlelwane obungokoqobo, kanye nezihlobo zabo, kodwa ekugcineni konke lokhu kuyovalwa. Abakholwayo nabangakholwa ngeke basebenzisane kodwa bayomelana nabanye. Labo abaphumule bakholelwa ukuthi kunoNkulunkulu futhi bayamlalela. Labo abangamlaleli uNkulunkulu bonke bayobhujiswa. Imindeni ngeke isaba khona emhlabeni; kungenzeka kanjani ukuthi kube nabazali noma izingane noma ubudlelwane obuphakathi kwendoda nomkayo? Imindeni enezinkolelo ezingafani noma ukungakholwa iyoqeda lobu budlelwane obungokwenyama!

Ekuqaleni yayingekho imindeni phakathi kwesintu; kwakukhona owesilisa nowesifazane kuphela—izinhlobo ezimbili ezehlukene zabantu. Ayengekho amazwe, ingasaphathwa eyemindeni, kodwa ngenxa yokukhohlakala komuntu, zonke izinhlobo zabantu zazihlela ngokwezibongo, lokho okwasabalala kamuva kwaba amazwe nezizwe. La mazwe nezizwe kwakwakhiwa yimindeni emincane, futhi ngale ndlela, zonke izinhlobo zabantu zasabalala zaba izinhlanga ezehlukahlukene ezinezilimi ezingafani futhi kwaba nemingcele. Empeleni, akukhathaliseki ukuthi kunezinhlanga ezingaki emhlabeni, isintu sidabuka kumuntu oyedwa kuphela. Ekuqaleni, kwakunezinhlobo ezimbili kuphela zabantu, futhi lezi zinhlobo zazakhiwa abesilisa nabasifazane. Nokho, ngenxa yenqubekela-phambili yomsebenzi kaNkulunkulu, ukushabalala komlando, noshintsho lwezindawo, okungamazinga ahlukahlukene, lezi zinhlobo ezimbili zakhula zaba izinhlobo eziningi zabantu. Uma kuziwa kuzo, akunandaba ukuthi isintu siyizinhlanga ezingaki, sonke isintu siseyindalo kaNkulunkulu. Akubalulekile ukuthi abantu banguluphi uhlanga, bonke badalwe uNkulunkulu; bonke bayinzalo ka-Adamu no-Eva. Ngisho noma benziwe yizandla zikaNkulunkulu, baseyinzalo ka-Adamu no-Eva, abadalwa uNkulunkulu ngokuqondile. Kungakhathaliseki ukuthi bayiluphi uhlobo, bonke abantu badalwe uNkulunkulu; njengoba beyisintu, esadalwa uNkulunkulu, indawo abaphokophele kuyo ifanele isintu, futhi bahlukaniswe imithetho eyenza abantu bahleleke. Lokho kungukuthi, abenzi bokubi nabalungile, ngemva kwakho konke bayizidalwa. Izidalwa ezenza okubi ziyogcina zibhujisiwe, futhi izidalwa ezenza okulungile ziyosinda. Lawa amalungiselelo azifanele kakhulu lezi zinhlobo ezimbili zezidalwa. Ngenxa yokungalaleli kwabo, abenza okubi ngeke bakwazi ukuphika ukuthi bayindalo kaNkulunkulu futhi bakhohliswe uSathane futhi ngaleyo ndlela abanakusindiswa. Abantu abaziphatha kahle bayazi ukuthi ngeke babambelele ekutheni bayophunyuka uma bephika ukuthi badalwa uNkulunkulu, kodwa baye basindiswa ngemva kokonakaliswa uSathane. Abenza okubi bayizidalwa ezingamlaleli uNkulunkulu; bayizidalwa ezingeke zisindiswe futhi kakade uSathane usebaphange ngokuphelele. Abantu abenza okubi nabo bangabantu; bangabantu abonakaliswe ngokwedlulele futhi ngeke basindiswe. Njengoba nje nabo beyizidalwa, abantu abaziphatha kahle nabo bonakalisiwe, kodwa bakulungele ukugqashula esimweni sabo esinokukhohlakala futhi bengakwazi ukulandela uNkulunkulu. Abantu abaziphatha kahle abaqhoshi ngokulunga; kunalokho, bamukele ukusindiswa futhi bagqashula enkohlakalweni ukuze balalele uNkulunkulu; bayoma baqine ekugcineni, kodwa akukhona ukuthi abakaze bonakaliswe uSathane. Ngemva kokuphela komsebenzi kaNkulunkulu, phakathi kwazo zonke izidalwa Zakhe, kuyoba nalabo abayobhujiswa nalabo abayosindiswa. Lesi isinqumo sikaNkulunkulu esingeke sigwemeke somsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa. Akekho ongakuphika lokhu. Abenzi bokubi ngeke basinde; labo abamlalelayo futhi abamlandelayo uNkulunkulu kuze kube sekugcineni nakanjani bayosinda. Njengoba lo msebenzi kungowokuphathwa kwesintu, kuyoba nabantu abayosala, abantu abahlungiwe. Lena imiphumela engafani yezinhlobo ezingafani zabantu, futhi lawa amalungiselelo afanele izidalwa zikaNkulunkulu. Amalungiselelo kaNkulunkulu ngesintu ukuqeda imindeni, izizwe, kanye nokuvala imingcele yamazwe. Ngeke libe nayo imindeni, imingcele yamazwe, ngoba ekugcineni kwakho konke, umuntu uyindalo kaNkulunkulu. Ngamafuphi, abantu abenza okubi bayobhujiswa, abantu abalalela uNkulunkulu bayosinda. Ngale ndlela, ngeke ibe khona imindeni, amazwe, kanye nezizwe esikhathini esizayo; lolu hlobo lwesintu luwuhlobo olungcwele kakhulu lwesintu. U-Adamu no-Eva ekuqaleni babedalelwe ukuthi umuntu anakekele zonke izinto ezisemhlabeni; umuntu wayephethe zonke izinto. Injongo kaJehova ngokudala umuntu kwakuwukuvumela umuntu ukuba aphile emhlabeni futhi anakekele izinto ezikuwo, ngoba ekuqaleni umuntu wayengonakalisiwe futhi wayengakwazi ukwenza okubi. Nokho, ngemva kokuba umuntu onakalisiwe akabange esakwazi ukunakekela zonke izinto. Injongo yensindiso kaNkulunkulu ukubuyisa umsebenzi womuntu, ukubuyisa kumuntu into eyenza umuntu waba khona kusukela ekuqaleni kanye nokulalela ayenakho ekuqaleni kwezinto; isintu esisekuphumuleni siyoba wumfanekiso wangempela womphumela womsebenzi wensindiso abafuna ukuyithola. Nakuba kungeke kube ukuphila okufana nokwaseNsimini yase-Edene, kuyoba nesimo esifanayo; isintu ngeke sisaphinde sonakale njengasekuqaleni, kodwa siyoba yisintu esiqale sonakaliswa sase sisindiswa. Laba bantu abasindiswa ekugcineni (okuwukuthi, ngemva kokuphela komsebenzi Wakhe) bayongena ekuphumuleni. Ngokufanayo, umphumela wabajezisiwe nawo uyokwembulwa ekugcineni, futhi bayobhujiswa ngemva kokuphela komsebenzi kaNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi ngemva kokuphothulwa komsebenzi Wakhe, labo abenza okubi nalabo abasindisiwe bayokwembulwa, ngoba umsebenzi wokwembula zonke izinhlobo zabantu (kungakhathaliseki ukuthi babenza okubi noma basindisiwe) uyokwenziwa kubo bonke abantu ngesikhathi esisodwa. Abenza okubi bayosuswa, labo abayohlala bayokwembulwa ngesikhathi esisodwa. Ngakho, umphumela wazo zonke izinhlobo zabantu uyokwembulwa ngesikhathi esisodwa. Ngeke aqale avumele inani labantu abasindisiwe ukuba lingene ngaphambi kokuba agudluze abenzi bokubi futhi abahlulele noma abajezise isikhashana; iqiniso empeleni alinjena. Lapho abenza okubi bebhujiswa futhi labo abangasinda bengena ekuphumuleni, umsebenzi Wakhe kuyo yonke indawo uyobe usuphelile. Abekho abayobekwa phakambili phakathi kwalabo abayokwamukela izibusiso nalabo abahlushwa amashwa; labo abamukela izibusiso bayophila kuze kube phakade, labo abaneshwa bayoshabalala kuze kube phakade. Lezi zigaba ezimbili zomsebenzi kufanele ziqedwe ngesikhathi esisodwa. Lokho kuyiqiniso ngoba kunabantu abangalaleli futhi kunabalungile abalalelayo okufanele bambulwe, futhi kuyiqiniso ngoba kunalabo abathole izibusiso futhi abantu abaneshwa bahlushwa abantu abakhohlakele okufanele nabo bambulwe. Uma uNkulunkulu engazange abembule ababi, labo abamlalela ngobuqotho babengeke balibone ilanga; ukube uNkulunkulu akabahambisanga endaweni efanele, labo abangamlaleli abantu bebengeke bekwazi ukuthola isijeziso esibafanele. Lena inqubo yomsebenzi Wakhe. Ukube akawuthwalanga lo msebenzi wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo, abantu Bakhe bebengeke bakwazi ukungena ezindaweni abalungiselele zona. Lapho isintu singena ekuphumuleni, abenza okubi bazobhujiswa, sonke isintu siyongena emgudwini ofanele, futhi zonke izinhlobo zabantu ziyoba nohlobo lwazo ngokuqondene nemisebenzi okufanele ziyifeze. Yilolu kuphela okuyoba usuku lwesintu lokuphumula nendlela engenakugwenywa yokuhluma kwesintu, futhi kulapho isintu singena ekuphumuleni kuphela lapho ubukhulu bukaNkulunkulu nesigcino sezinto azifezile kuyofinyelela khona ekupheleni; lokhu kuyosonga umsebenzi Wakhe. Lo msebenzi uyoqeda konke ukuphila okuwohlokile kwesintu, futhi uyoqeda ukuphila kwesintu esikhohlakele. Kusukela lapha, isintu kufanele singene endaweni entsha. Nakuba umuntu ephila esiqwini senyama, kunomehluko omkhulu phakathi kwesiqu sokuphila kwakhe nengqikithi yokuphila kwesintu okukhohlakele. Isizathu sokuba khona kwakhe nesizathu sokuba khona kwesintu esikhohlakele azifani. Nakuba lokhu kungekhona ukuphila kohlobo olusha lomuntu, kungabizwa ngokuphila kwesintu esithole insindiso nokuphila okunobuntu nomqondo okuvuselelwe. Laba abantu ababengamlaleli uNkulunkulu, abake banqotshwa uNkulunkulu base futhi besindiswa Nguye; laba abantu abamhlazile uNkulunkulu, kamuva base befakaza Ngaye. Ukuba khona kwabo, ngemva kokudlula nokusinda ovivinyweni Lwakhe, kuyiyona nto ekhona eyenza umqondo kakhulu; bangabantu abafakaza ngoNkulunkulu phambi kukaSathane; bangabantu abakufanele ukuphila. Laba abazobhujiswa bangabantu abangeke bafakaze ngoNkulunkulu futhi abakufanele ukuphila. Ukubhujiswa kwabo kuzokwenzeka ngenxa yokuziphatha kwabo okukhohlakele, futhi ukubhujiswa kungumvuzo wabo ongcono kakhulu. Lapho umuntu kamuva engena embusweni wokulunga, buyobe bungasekho ubudlelwane obuphakathi kwendoda nomfazi, obuphakathi kukababa nendodakazi noma umama nendodana lobo abantu abacabanga ukuthi bayobuthola. Ngaleso sikhathi, umuntu uyolandela uhlobo lwakhe, futhi umndeni uyobe usuqediwe kakade. Ehluleke ngokuphelele, uSathane ngeke aphinde aphazamise isintu, futhi umuntu ngeke aphinde abe nesimo esikhohlakele sobuSathane. Labo bantu abangalaleli bayobe sebebhujisiwe, futhi abantu abalalelayo kuphela abayosinda. Ilidlanzana kakhulu imindeni eyosinda yonke; ubudlelwane obungokoqobo buyoqhubeka kanjani buba khona? Ukuphila okungokoqobo komuntu kwamuva kuyobe kungasekho nhlobo; ingabe ubudlelwane buyoqhubeka buba khona phakathi kwabantu? Ngaphandle kwesimo sobuSathane esikhohlakele, ukuphila kwabantu ngeke kube ukuphila okudala kwesikhathi esedlule, kodwa kunalokho kuyoba ukuphila okusha. Abazali bayolahlekelwa izingane, nezingane ziyolahlekelwa abazali. Abayeni bayolahlekelwa omkabo, nabafazi balahlekelwe abayeni babo. Abantu manje banobudlelwane obungokoqobo nabanye. Lapho bonke sebengene ekuphumuleni ngeke busaba bikho ubudlelwane obungokwenyama. Yisintu esinjalo kuphela esiyoba nokulunga nobungcwele, yisintu esinjalo kuphela okufanele sibe ngesikhonza uNkulunkulu.

UNkulunkulu wadala abantu futhi wababeka emhlabeni, laba aye wabahola kwaze kwaba manje. Wabe esesindisa abantu waba njengomnikelo wesono kubantu. Ekugcineni, kusafanele anqobe isintu, asindise sonke isintu futhi asibuyisele esimweni saso sasekuqaleni. Lona umsebenzi uNkulunkulu abelokhu ewenza kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni—wokumbuyisela esimweni sakhe ayeyiso ekuqaleni. Uyomisa umbuso Wakhe futhi abuyise izinto ezifana nesimo sasekuqaleni somuntu, okusho ukuthi uyovuselela igunya emhlabeni nakuyo yonke indalo. Umuntu walahlekelwa inhliziyo eyesaba uNkulunkulu ngemva kokonakaliswa uSathane, futhi walahlekelwa umsebenzi izidalwa zikaNkulunkulu okufanele zibe nawo, waba isitha esingamlaleli uNkulunkulu. Umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane futhi walandela imiyalo kaSathane; ngakho uNkulunkulu wayengenayo indlela yokusebenza phakathi kwezidalwa Zakhe, futhi akakwazanga ukwenza ukuba izidalwa Zakhe zimesabe. Umuntu wadalwa uNkulunkulu, wakhonza uNkulunkulu, kodwa umuntu waqala ukumjikela uNkulunkulu wakhonza uSathane. USathane waba isithixo senhliziyo yomuntu. Ngakho uNkulunkulu walahlekelwa indawo Yakhe enhliziyweni yomuntu, okuwukuthi walahlekelwa incazelo yendalo kaNkulunkulu yabantu, manje ukuze abuyise ayekuhlosile ngendalo Yakhe kumele umuntu ambuyisele esimweni ayeyiso ekuqaleni bese exosha umuntu onesimo esikhohlakele. Ukuze abuyise umuntu kuSathane, kumele asindise umuntu esonweni. Kungale ndlela kuphela angabuyisa ngayo kancane kancane isimo sasekuqaleni somuntu futhi abuyise umsebenzi wasekuqaleni womuntu, futhi ekugcineni uNkulunkulu abuyise umbuso Wakhe. Ukubhujiswa kwabantwana bokungalaleli nakho kuzokwenziwa ukuze umuntu amkhonze kangcono uNkulunkulu futhi aphile kangcono emhlabeni. Njengoba uNkulunkulu adala umuntu, kufanele enze umuntu amkhonze; njengoba uNkulunkulu efisa ukubuyisa umsebenzi wasekuqaleni womuntu, lokho uzokwenza ngokuphelele, ngaphandle kwenkohlakalo. Ukubuyisa igunya Lakhe kusho ukwenza ukuthi umuntu amkhonze futhi amlalele; kusho ukuthi kufanele enze umuntu aphile ngenxa Yakhe futhi ashabalalise izitha Zakhe ngenxa yegunya Lakhe; kusho ukuthi uzokwenza ukuthi yonke ingxenye yakhe yokugcina iqhubeke phakathi kwabantu futhi ngaphandle kokuphikiswa umuntu. Umbuso afisa ukuwumisa embusweni Wakhe. Isintu asifisayo yilesi esimkhonzayo, esimlalela ngokuphelele futhi esinenkazimulo Yakhe. Uma engasisindisi isintu esonakalisiwe, okushiwo indalo Yakhe kuyophenduka ize; ngeke esaba nalo igunya kubantu, futhi umbuso Wakhe ngeke ukwazi ukuba khona emhlabeni. Uma engazibhubhisi lezo zitha ezingamlaleli, ngeke akwazi ukuthola inkazimulo Yakhe egcwele, futhi ngeke akwazi ukumisa umbuso phezu komhlaba. Lezi izimpawu zokuqedwa komsebenzi Wakhe nezimpawu zokufezwa kwezinto Zakhe ezinkulu: ukubhubhisa ngokuphelele labo phakathi kwesintu abangamlaleli, nokuletha ekuphumuleni labo abenziwe baphelela. Lapho isintu sesibuyiselwe esimweni saso sakuqala, lapho abantu bengaqeda imisebenzi yabo, bagcine indawo yabo futhi balalele wonke amalungiselelo kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyobe eseqoqe iqembu labantu abamkhonzayo emhlabeni, futhi uyomisa nombuso emhlabeni, umbuso ozokhonza Yena. Uyoba nokunqoba kwaphakade emhlabeni, futhi labo abamelene naye bayoshabalala kuze kube phakade. Lokhu kuyobuyisa injongo Yakhe yasekuqaleni ngokudala zonke izinto; futhi kuyobuyisa negunya Lakhe phezu komhlaba, igunya Lakhe phakathi kwazo zonke izinto negunya lakhe phakathi kwezitha Zakhe. Lolu uphawu lokunqoba Kwakhe okuphelele. Kusuka lapho isintu siyongena ekuphumuleni nasekuphileni okulandela umgudu ofanele. UNkulunkulu uyophinde angene ekuphumuleni kwaphakade kanye nabantu, angene ekuphileni okuphakade okungokukaNkulunkulu nomuntu. Ukungcola nokungalaleli kwabantu emhlabeni kuzonyamalala, njengoba kuzoba njalo nangokukhala emhlabeni. Bonke abasemhlabeni abamelana noNkulunkulu ngeke babe khona. UNkulunkulu nabantu abasindisile kuphela okufanele basale; indalo Yakhe kuphela okufanele isale.

Okwedlule: Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo

Okulandelayo: Ngesikhathi Ubona Umzimba KaJesu KaMoya, UNkulunkulu Uyobe Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp