UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X

UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (IV)

Namuhla sidlulisa umlayezo onesihloko esikhethekile. Kuwo wonke amakholwa, zimbili kuphela izinto okumele azazi, nizibandakanye nazo niphinde niziqonde—yiziphi-ke lezo zinto? Eyokuqala yindlela umuntu angena ngayo empilweni, eyesibili ukwazi uNkulunkulu. Nicabanga ukuthi lokhu osekuchaziwe ngokwazi uNkulunkulu yinto enokwenzeka? Kulungile ukusho ukuthi le nto ingaphezulu komuntu. Kungenzeka ukuthi ningawakholwa la mazwi. Kungani ngisho kanje? Kungoba ngenkathi nilalele engikusho ekuqaleni, sikubeka eceleni ukuthi ngikusho kanjani, noma ngamaphi amazwi, nkuzwa kwacaca engikushoyo, kodwa into eye yajula ngani ngaleso sikhathi ukuthi, awuqondanga ukuthi ngikusho ngasizathu sini, nokuthi kungani ngakhuluma ngaleziya zihloko. Yiwo-ke umongo wendaba lona. Ngakho-ke, nakuba nizwa ngalezi zinto ezengeziwe nezikhulisa ukuqonda kwenu uNkulunkulu kanye nezenzo Zakhe, nisenenkinga ukwazi uNkulunkulu. Emva kokuzwa engikushilo, abaningi benu abazange baqonde ukuthi kungasizathu sini ngikushilo engikushilo kanye nokuthi kuhlangana kanjani nokwazi uNkulunkulu. Isizathu sokuthi ningaqondi ukuxhumana kwakho nokwazi uNkulunkulu ukuthi amava enu empilo awajulile neze. Uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu lungahlala luluncane njalo, ukumazi uNkulunkulu kuyohlala kungacacile kukuncane futhi; konke kuyoba yinto ebanzi, elawulwa wumthetho kuphinde kube yinto egcina ezincwadini kuphela. Ngokujwayelekile, kuzwakala kumi kahle futhi kwamukeleka, kodwa ulwazi oluphuma emilonyeni yabantu abaningi ngoNkulunkulu aluqukethe lutho. Kungani ngithi wulwazi olungaqukethe lutho? Kungoba eqinisweni, enhliziyweni yakho awucacelwa ukuthi amazwi athinta ukwazi uNkulunkulu aqhamuka emlonyeni wakho afanelekile yini noma cha, ashaya emhlolweni yini noma cha. Ngalokho-ke, nakuba abaningi abantu sebeye bathola ulwazi oluningi kanye nezindikimba ezithinta ukwazi uNkulunkulu, ulwazi lwabo ngoNkulunkulu kumele ludlule kulolo olubhaliwe futhi lwedlule emfundisweni engacacile futhi engaphatheki. Ingalungiswa kanjani-ke le nkinga? Nike nakucabanga nje lokhu? Uma abantu bengalithungathi iqiniso, bangaba nalo? Uma umuntu engalithungathi iqiniso, akwazi ngempela ukulithola, ngaleyo ndlela abanalo ulwazi kanye nokuqonda amazwi kaNkulunkulu. Bangamazi-ke uNkulunkulu labo abangazi amazwi Akhe? Ngempela ngeke. Lokhu kokubili kuyahambisana. Ngakho-ke abantu abaningi bathi, “Kungani ukwazi uNkulunkulu kulukhuni kangaka? Uma ngikhuluma ngokuzazi ngingakhuluma amahora ngamahora, kodwa uma sengibhekene nokwazi uNkulunkulu ngiphelelwa ngamazwi. Kuze kuthi noma kukhonyana okuncane engingakusho, kudinge ngikuphoqelele, ngaleyo ndlela bese kuzwakala kuyindavundavu—kube okuxakile nakimina uma ngizizwa ngikusho.” Nawu umthombo. Uma ubona ukuthi ukwazi uNkulunkulu kulukhuni, kusho ukuthi uzokhathazeka ukuthi akukho ongakusho—akukho eningakudlulisela kwabanye, kanye nakinina imbala—lokho bese kufakazela ukuthi awuyena umuntu oseke wawabona amazwi kaNkulunkulu. Ayini amazwi kaNkulunkulu? Ngabe amazwi kaNkulunkulu awakhona okushiwo nguNkulunkulu nalokhu ayikho Yena? Uma ngabe awukaze uhlangane namazwi kaNkulunkulu, ungaba nalo ulwazi lokuthi uNkulunkulu unani futhi ungubani? Ngokuqinisekileyo, cha. Lezi zinto ziyahambisana. Uma ungawazi amazwi kaNkulunkulu, awukwazi ukuqonda inhloso kaNkulunkulu, ngeke futhi usazi isimo Sakhe, lokho akuthandayo, akuzondayo, izidingo azilindele kumuntu, ukuziphatha kwakhe kulabo abahle, kanye nakulabo ababi—konke lokhu kungaba nemiqondo eminingi kunganicaceli. Uma umkholwa uNkulunkulu kukho konke lokhu kudideka, uma uthi ungomunye walabo abalilandelayo iqiniso nabamlandelayo uNkulunkulu, ngabe la mazwi ayiqiniso? Awalona! Ngakho masiqhubeke sikhulume ngokwazi uNkulunkulu.

Nonke ninentshisekelo yokuzwa isihloko engizokhuluma ngaso namuhla, angithi? Isihloko esizokhuluma ngaso namuhla sithinta amazwi esihloko esithi “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto” kulezi esikhulume ngazo kungekudala. Sikhulume kaningana ngendlela yokuba “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto,” ngokusebenzisa izindlela eziningi ezahlukahlukene nemibono eminingi ukuchazela abantu ukuthi uNkulunkulu ubusa kanjani phezu kwazo zonke izinto, unazindlela zini zokubusa phezu kwazo zonke izinto, futhi unamiphi imigomo alawula ngayo zonke izinto, ukuze zikwazi ukuzimela kule mbulunga yomhlaba ayakha Yena uNkulunkulu. Sikhulume kakhulu futhi ngokuthi uNkulunkulu umupha kanjani umuntu izinto: usebenzisani ukuhlinzekela umuntu, umenzeleni umuntu mayelana nendawo yokuhlala, nokuthi usebenzisani futhi uqala kuphi ukwenza umuntu abe nendawo yokuhlala ezinzile. Nakuba ngingakhulumanga ngokuqondile ngobuhlobo bokubusa kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke, ukulawula Kwakhe zonke izinto, nokuziphatha Kwakhe zonke, ngikuthintile hhayi ngqo ukuthi kungani elawula zonke izinto ngale ndlela, nokuthi kungani ehlinzekela aphinde akhulise kahle umuntu ngale ndlela—konke kuhambelana nokuphatha kukaNkulunkulu. Ingqikithi esikhulume ngayo ibe banzi kakhulu: isukele ezintweni ezincane yayofinyelela kwezincane kakhulu ezifana nezidingo zabantu ezejwayelekile nokudla; yasukela futhi endleleni uNkulunkulu abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto kanye nokuzenza zisebenze ngendlela ehlelekile, ezimeni ezinhle nezifanelekile azidale Yena ezidalela abantu bezinhlanga zonke, njalo-njalo. Ingqikithi lena ebanzi iphathelene nokuthi umuntu uphila kanjani esenyameni. Lokhu kusho ukuthi, konke kuthintana nezinto zomhlaba ezibambekayo ezibonwa ngamehlo enyama, ezikwazi ukuthi abantu bazizwe, isibonelo, izintaba, imifula, izilwandle, amathafa… Lezi yizo zonke izinto ezibonakalayo nezithintekayo. Uma ngikhuluma ngomoya namazinga okushisa, kulula ukuthi nisebenzise ukuphefumula kwenu ukuzwa ubukhona bomoya, imizimba yenu nizwe ukuthi amazinga okushisa aphezulu noma aphansi yini. Izihlahla, utshani, izinyoni nezilwane zasehlathini, izinto ezindiza esibhakabhakeni, nalezo ezihambahamba emhlabeni, kanye nezilwane ezinhlobonhlobo ezincane ezihlala emigodini, konke kubonakala ngamehlo kuphinde kuzwakale ezindlebeni. Nakuba udaba lwalezo zinto lubanzi, kukho konke nje zimele izinto ezibonakalayo emhlabeni. Izinto ezibambekayo yilezo abantu abakwazi ukuzibona nokuzizwa, okusho ukuthi, uma uzithinta, uzokwazi ukuzizwa, bese kuthi uma amehlo akho ezibona, ingqondo yakho izokwazi ukukwakhela isithombe sazo, esiwumfanekiso. Yizinto ezithintekayo nezikhona ngempela; kuwe aziwona umbono nje, kodwa zinesakhiwo; zingaba yisikwele, noma yindilinga, zibe zinde noma zibe mfushane, ngayinye zinomfanekiso owakhekayo kuwe ngazo. Zonke lezi zinto ziyingxenye ephathekayo yazo zonke izinto. Manje, ukuthi “zonke izinto” uma sikhuluma “ngazo zonke ezibuswa uNkulunkulu” kubandakanya ini kuNkulunkulu? Azibandakanyi nje kuphela izinto abantu abakwazi ukuzibona nokuzithinta, kodwa, ngaphezu kwalokho, zibandakanya okungabonakali kanye nokungathinteki. Lokhu yiyona ncazelo eyiyo yokubusa kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto. Yize lezo zinto zingabonakali futhi zingathinteki kubantu, kuNkulunkulu, inqobo nje uma zikwazi ukubonakala emehlweni Akhe zibe zisembusweni Wakhe, ziyizinto ezikhona. Nakuba, kubantu, zingabonakali futhi zingakhi mfanekiso emqondweni—nakuba futhi, ngaphezu kwalokho, zingabonakali zingathinteki—kuNkulunkulu ziyizinto ezikhona. Lezo yizona izinto emhlabeni eziyizo zonke uNkulunkulu abusa phezu kwazo, kanti futhi ziwolunye uhlangothi lwazo zonke izinto uNkulunkulu abusa phezu kwazo. Yilesi isihloko esiphezu kwaso namuhla—ukuthi uNkulunkulu ulawula futhi uluphethe kanjani uhlangothi lukamoya emhlabeni. Njengoba lesi sihloko sithinta ukuthi uNkulunkulu uzibusa kanjani futhi uzilawula kanjani izinto zonke, sithinta umhlaba ongale kwezinto ezibonakalayo nezithintekayo—umhlaba kamoya—ngaleyo ndlela kubaluleke kakhulu kithi ukuthi sikuqonde lokhu. Kusemva kokuthi lokhu kuxhumana sekunikeziwe futhi lapho kuphela abantu sebeqonde ngokuphelele lapho abantu beyokwazi ngokuphelele khona iqiniso emazwini athi “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.” Lesi yisizathu sokuthi sikhulume ngalesi sihloko. Futhi inhloso yalesi sihloko ukuphelelisa ingqikithi ethi “UNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto, futhi uNkulunkulu wengamele zonke izinto.” Mhlawumbe, uma nizwa lesi sihloko, sinokuzwakala simangaza noma singakholakali kini—kodwa nangaphandle kokuthi nizizwa kanjani ngaso, ngoba umhlaba kamoya uyingxenye yazo zonke izinto ezibuswa nguNkulunkulu, kumele kube khona enikufundayo kulesi sihloko. Emva kwalokho, nizowamukela kakhudlwana, niwathande, niwaqonde futhi nibe nolwazi ngamazwi athi “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.”

UNkulunkulu Uwulawula futhi Uwuphatha kanjani Umhlaba kaMoya

Ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, uma abantu kunezinto nezehlakalo abangaziqondi, bangafuna ulwazi ngalezo zinto, kungenjalo kukhona nezinye izinhla abangazisebenzisa ukuthola imvelaphi kanye nezincazelo ngalezo zinto. Kodwa uma kuyiwa kulona omunye umhlaba okuyiwo esikhuluma ngawo namuhla—umhlaba kamoya otholakala ngale komhlaba wezinto ezibambekayo—abanazo abantu izinsiza noma izinhla zokubasiza ukuthi bafunde noma yini ngawo. Kungani ngisho kanje? Kungoba emhlabeni wabantu, yonke into ethintana nomhlaba wezinto ezibambekayo ayehlukaniseki nobukhona bomuntu, kanti ngenxa yokuthi abantu bakholwa ukuthi yonke into emhlabeni wezinto ezibambekayo ayehlukaniseki nempilo yabo ebuswa yizinto ezibambekayo, abaningi bazi leyo mpilo noma bayayibona kuphela, babona izinto ezibambekayo eziphambi kwamehlo abo kuphela, izinto ezibonakala kubo. Bese kuzothi uma kubhekiswa emhlabeni kamoya—okungukuthi, yonke into engeyomhlaba lona omunye—kuba yinto evumelekile ukuthi sithi abaningi kubantu abakholwa. Ngoba abantu abakuboni, futhi bakholwa ukuthi akudingeki baziqonde lezo zinto, noma bazazi, bangasho lutho futhi ngokuthi kuza kanjani ukuthi umhlaba kamoya wehluke kakhulu kangaka emhlabeni wezinto ezibambekayo futhi, kuNkulunkulu, kuvulekile—nakuba, kubantu, kuyimfihlo futhi akuvulekile—ngakho kulukhuni ukuthi abantu bathole indlela yokuqonda izingxenye ezehlukahlukene zalo mhlaba. Izingxenye ezehlukene engizokhuluma ngazo ngomhlaba kamoya zithinta ubukhulu kanye nokuphatha kukaNkulunkulu. Angembuli imimangaliso, noma nginitshele ngezimfihlo enifisa ukuzithola, ngoba lokho kuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu, indlela aphatha ngayo, kanye nendlela uNkulunkulu ahlinzekela ngayo, ngalokho ngizokhuluma ngohlangothi okubalulekile ukuthi nilwazi.

Okokuqala, manginibuze umbuzo: Ngokwemiqondo yenu, yini umhlaba kamoya? Uma sikhuluma nje jikelele, lowo umhlaba ongale komhlaba wezinto ezibambekayo, umhlaba ongabonakali futhi ongathinteki kubantu. Kodwa ekucabangeni kwenu, ungaba luhlobo luni lomhlaba umhlaba kamoya? Mhlawumbe, ngenxa yokungakwazi ukuwubona, anikwazi ukwakha isithombe sawo emiqondweni. Kodwa uma nizwa izindaba zawo, nisangacabanga angeke nikwazi ukuzibamba. Ngikushiso yini lokhu? Ziningi izinto ezenzeka kubantu uma besebasha: uma kukhona umuntu obaxoxela indaba eyethusayo—ngezipoki, ngemiphefumulo—bethuka kakhulu. Kungani bethuka? Kungoba basuke bakubone ngamehlo engqondo lokho; nakuba bengakwazi ukukubona ngqo, bacabanga ukuthi kukhona ngaphakathi endlini, kuzifihle ndawana thile, mhlawumbe ebumnyameni, bethuke ngendlela yokuthi behluleke nokulala. Ikakhulukazi ebusuku, abakwazi nokuhlala bodwa endlini, noma babe bodwa emnyango. Lowo umhlaba kamoya uma wakheka emiqondweni wenu, umhlaba abantu abacabanga ukuthi uyesabeka. Empeleni, wonke umuntu unakho ukubona ngamehlo engqondo, futhi wonke umuntu uyakwazi ukuzwa okuthile.

Masiqale ngomhlaba kamoya. Uyini umhlaba kamoya? Mangikuphe incazelo emfishane futhi elula nje. Umhlaba kamoya uyindawo ebalulekile, uwumhlaba ohlukile emhlabeni wezinto ezibambekayo. Ngisho kanjani ukuthi ubalulekile? Sizoxoxa ngakho kabanzi lokhu. Ubukhona bomhlaba kamoya abuhlukaniseki nobukhona bomhlaba wezinto ezibambekayo kumuntu. Umhlaba kamoya udlala indawo ebalulekile empilweni kanye nasekufeni komuntu ekubuseni kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke; yiqhaza elibanjwa yiwo leli, ngesinye sezizathu ezenza ubukhona bawo bubaluleke. Kungoba uyindawo engahlukaniseki nezinzwa ezinhlanu, akekho okwazi ukunquma ukuthi lo mhlaba ukhona noma kawukho yini. Okuqhubekayo ngomhlaba kamoya kunamathelene ngqo nobukhona bomuntu, okunomphumela wokuba ukuphila kwesintu kuthonywe kakhulu ngumhlaba womoya. Kungabe lokhu kuyathintana nobukhulu bukaNkulunkulu? Yebo. Ngokusho kwami lokhu, seniyabona ukuthi kungani sixoxa ngalesi sihloko: Kungoba sithinta ubukhulu bukaNkulunkulu, nokuphatha Kwakhe. Emhlabeni ofana nalona—ongabonakali emehlweni abantu—ukufuza kwawo izulu, imiyalelo, izinhla zokuphatha zingaphezulu kakhulu kunemithetho nezinhlelo zanoma yiliphi izwe ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, kanti akukho noyedwa kubantu abahlala kulo mhlaba abangaba nesibindi sokuwuphazamisa noma bazithathele wona. Kungabe lokhu kuyabuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu kanye nokuphatha Kwakhe? Kulo mhlaba, kunemiyalelo yokuphatha ecacile, ukuba yizulu okucacile, kanye nemithetho ecacile. Emazingeni ehlukene kanye nasezindaweni ezahlukahlukene, kunabakhokheli ababambelela kabanzi emsebenzini kanye nasekuqapheleni imithetho nezimiso, ngoba bazi kahle ukuthi miphumela mini engalindeleka kwabephula imithetho yezulu, bazi kahle kamhlophe ukuthi uNkulunkulu ukujezisa kanjani okubi akuklomelise kanjani okuhle, kanye nokuthi uziphatha kanjani zonke izinto, indlela abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto, kanye, ngaphezu kwalokho, nokubona ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uyenza kanjani imisebenzi nemithetho yasezulwini. Kungabe lokhu kwehlukile kulokho komhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo abantu? Kwehluke kakhulu. Umhlaba ongafani nhlobo nomhlaba wezinto ezibambekayo. Njengoba kunemigomo nemithetho ezulwini, ithintana nobukhulu bukaNkulunkulu, ukuphatha, kanye, ngaphezu kwalokho, nesimo sikaNkulunkulu nalokho anakho kanye nayikho. Lokhu njengoba sekuzwakele, anicabangi ukuthi kuyisidingo kimi ukuthi ngikhulume ngalesi sihloko? Kungabe aninaso isifiso sokufunda izimfihlo zangaphakathi? (Yebo, siyafisa.) Leso yisimo somhlaba kamoya. Nakuba ukhona kanye nomhlaba wezinto ezibambekayo, ngokulingana futhi ukuphathwa nguNkulunkulu ngobukhulu Bakhe, ukuphatha kanye nobukhulu bukaNkulunkulu kulo mhlaba kunqala kakhudlwana kunokomhlaba wezinto ezibambekayo. Ngokwemininingwane, kumele siqale ngokuthi umhlaba kamoya yiwo onomsebenzi wokuphila nokufa komuntu, ngoba lo msebenzi uyingxenye enqala yomsebenzi wabantu bomhlaba kamoya.

Abantu bomhlaba, ngingabehlukanisa izigaba ezintathu ngokwezinhlobo. Uhlobo lokuqala ngabangakholwa, okuyilabo abangenayo inkolo. Babizwa ngabangakholwa. Abaningi balabo abangakholwa bakholelwa emalini, balandela izinhloso zabo, bangabantu bezinto ezibambekayo, bakholelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo, hhayi ekuphileni kanye nasekufeni, noma ekukhulumeni ngemimoya nezipoki. Ngibafaka esigabeni sabangakholwa, kanti bona-ke bawuhlobo lokuqala. Uhlobo lwesibili ngabantu abambalwa abakholwayo ngaphandle kwabangakholwa. Kulabo bantu, laba abakholwayo ngibehlukanisa ngezinhlobo ezimbalwa ezinkulu: uhlobo lokuqala ngamaJuda, olwesibili amaKhatholika, olwesithathu ngamaKrestu, olwesine ngamaMuslim, olwesihlanu amaBuddha—kunezinhlobo ezinhlanu. Yizo lezi izinhlobo ezahlukahlukene zamakholwa. Uhlobo lwesithathu yilabo abakholelwa kuNkulunkulu, labo bayakuthinta nawe. La makholwa yilawo akholelwa kuNkulunkulu namuhla. Laba bantu bahlukaniseka izinhlobo ezimbili: yilabo abakhethwe uNkulunkulu kanye nezisebenzi Zakhe. Lezi zinhlobo ezibalulekile zihlukaniswe ngokucacile. Manje, emqondweni yenu seniyakwazi ukuhlukanisa ngokucacile izinhlobo kanye namazinga abantu, angithi? Abokuqala ngabangakholwa—sengishilo ukuthi abangakholwa ngabanjani. Ngabe labo abakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni babalwa njengabangakholwa? Abaningi kwabangakholwa bakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni; bakholwa ukuthi umoya, imvula, ukuduma kwezulu yizinto ezilawulwa yile Ndoda Endala Esesibhakabhakeni, yiyo abethembele kuyo uma belima izitshalo bevuna—kodwa uma kukhulunywa ngokukholelwa kuNkulunkulu abavumi. Singakubiza lokho ngokukholwa wuNkulunkulu? Abantu abanjalo bawela ngaphansi kwabangakholwa. Niyakuqonda lokhu, angithi? Ningazididi lezi zinhlobo. Uhlobo lwesibili ngabantu bokholo. Uhlobo lwesithathu yilabo abalandela uNkulunkulu namhlanje. Futhi kungani ngehlukanise abantu ngabafaka kulezi zinhlobo? (Kungoba izinhlobo ezahlukahlukene zabantu zinesiphetho esehlukene futhi lapho beya khona kwehlukene.) Wuhlangothi olulodwa lolo. Kungoba, kuyothi lapho lezi zinhlobo ezahlukene zabantu zibuyela emhlabeni kamoya, uhlobo ngalunye luyoba nendawo ehlukile oluyoya kuyo, ziyobhekana nemithetho engafani kwethinta ukuphila nokufa, kanti yiso isizathu lesi esenza ukuthi ngibehlukanise izinhlobo ezibalulekile ezahlukahlukene.

1. Ukufa nokuphila kwabangakholwayo

Masiqale ngokufa nokuphila kwabangakholwayo. Emva kokuthi umuntu afe, uthathwa asuswe ahanjiswe yisithunywa esivela emhlabeni kamoya. Sizothi yini yakhe esuswayo? Akuyona inyama, kodwa umphefumulo. Uma ususwa umphefumulo wakhe, ufikela endaweni esebenzela umhlaba kamoya, okuyindawo eyamukela imiphefumulo yabantu abafile. (Qaphela lokhu: Indawo yokuqala afikela kuyo umuntu ofile awuyazi umphefumulo.) Uma efika kule ndawo, kunesisebenzi esimhlolayo, esiqinisekisa igama lakhe, ikheli, iminyaka yobudala nakho konke ahlangane nakho empilweni yakhe. Konke akwenzile esaphila kubhalwa encwadini kuqinisekiswe ukuthi kushaya emhlolweni. Uma sekuhloliwe konke, ukuziphatha kwakhe lowo muntu kanye nezenzo zakhe empilweni yakhe yonke kusetshenziselwa ukuthola ukuthi kumele ajeziswe noma aqhubeke nokuvuselelwa njengomuntu, okuyisigaba sokuqala. Ngabe siyethusa lesi sigaba sokuqala? Asethusi kakhulu, ngoba into yokuqala eseyenzekile ukuthi lo muntu usefikile endaweni emnyama nengajwayelekile.

Esigabeni sesibili, uma lo muntu enze izinto ezimbi eziningi empilweni yakhe yonke, enze izenzo ezingezinhle, uzobe eseyiswa endaweni yesijeziso ayojeziswa. Yiyona ndawo ngokukhethekile ebekelwe ukujezisa abantu. Imininingwane yokujeziswa kwakhe incike ezonweni azenzile, nokuthi zingaki izinto ezimbi azenzile ngaphambi kokuthi afe—okuyisimo sokuqala esifika uma usesigabeni sesibili. Ngenxa yezinto ezimbi azenzile nobubi abenzile ngaphambi kokufa, uma ebuyiselwa enyameni emva kokujeziswa—uma ephinda futhi ezalelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo—abanye abantu bazoqhubeka babe ngabantu, abanye babe yizilwane. Lokho kusho ukuthi, emva kokuba umuntu ebuyele emhlabeni kamoya, uyajeziswa ejeziselwa ububi abenzile; ngaphezu kwalokho, ngenxa yezinto ezimbi azenzile, ukubuyiselwa enyameni okulandelayo okungenzeka kakhudlwana ukuthi akabi ngumuntu, kodwa uba yisilwane. Izilwane abangaba yizo abanjengaye zibandakanya izinkomo, amahhashi, izingulube, kanye nezinja. Abanye abantu bangaba yizinyoni esibhakabhakeni, noma amadada noma amahansi…. Emva kokubuyiselwa enyameni babe yizilwane, uma sebefa babuyela emhlabeni kamoya, bese, njengakuqala, ngokokuziphatha kwabo kokuqala uma sebefa manje umhlaba kamoya uzokhetha ukuthi babuyiselwa enyameni babe ngabantu yini noma cha. Abaningi abantu benza ububi obukhulu, izono zabo zimbi kakhulu, ngalokho uma bebuyiselwa enyameni baba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili—kuyesabisa lokho? (Kuyesabisa.) Yini eniyesabayo nina? Ukuthi umuntu abe yisilwane, kuyesabisa lokho. Kumuntu, yini esingathi ibuhlungu ngokuphenduka isilwane? Ukungabi nalulimi ozolukhuluma, ukuba nemicabango elula, ukukwazi kuphela ukwenza izinto ezenziwa yizilwane nokudla izinto ezidliwa yizilwane, ukuba nomqondo ongajulile kanye nokusebenzisa umzimba ukudlulisa imilayezo njengesilwane, ukungakwazi ukuhamba uqondile, ukungakwazi ukukhuluma nabantu, nokuthi akukho ukuziphatha kwabantu nezinto abazenzayo ezibahlanganisa nezilwane. Okusho ukuthi, kuzo zonke izinto, ukuba yisilwane kukwenza umuntu osezingeni eliphansi kunazo zonke izinto eziphilayo, futhi kubuhlungu kakhulu kunokuphila njengomuntu phaqa. Eyodwa lena yezinto zomhlaba kamoya eziyisijeziso kulabo abenze ububi benza nezono ezinkulu. Uma kubhekiswa ebunzimeni besijeziso, lokho kuya nokuthi silwane sini umuntu aphenduka abe yiso. Isibonelo, ngabe ukuba yingulube kungcono kunokuba yinja? Ngabe ingulube iphila impilo engcono kuneyenja? Embi kakhulu, angithi? Uma umuntu eba yinkomo noma yihhashi, ngabe uzo phila kangcono kunengulube? (Kangcono.) Ngabe umuntu uzophila kangcono uma eyikati? Ubeyoba yisilwane ngokufanayo nje, futhi ukuba yikati bekuyoba lula kangcono kunokuba yihhashi noma inkomo, ngoba amakati ayaphumelela ukuvilapha isikhathi esiningi elele. Ukuba yinkomo noma yihhashi kunomsebenzi omkhulu, ngakho uma abantu bebuyiselwa enyameni ngokuphendulwa inkomo noma ihhashi, kumele basebenze kanzima—okubukeka kuyisijeziso esisindayo. Ukuba yinja kuthe ukuba ngcono kunokuba yinkomo noma yihhashi ngoba inja inobuhlobo obuhle nomniniyo. Ezinye izinja, emva kokufuywa iminyaka embalwa ziyakwazi ukukuqonda okuningi okushiwo abaninizo. Ngezinye izikhathi, inja iyakwazi ukuhambisana nendlela umniniyo azizwa ngayo kanye nezidingo zakhe, ngakho umniniyo uyiphatha kangcono, bese idla kahle iphuza kahle, futhi uma igula inakekelwa kakhulu—ngabe inja ayiphili impilo emnandi? Ngaleyo ndlela ukuba yinja kungcono kunenkomo noma ihhashi. Kulokhu, ubunzima besijeziso somuntu buvezwa ukuthi ubuyiselwa izikhathi ezingaki enyameni njengesilwane, nokuthi abe yiluphi uhlobo lwesilwane.

Kungoba benze izono eziningi besaphila, abanye abantu bazojeziswa ngokubuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Uma isijeziso sesithathe izikhathi eziningi ngokwanele, uma umuntu ebuyela emhlabeni kamoya udluliselwa kwenye indawo. Imiphefumulo eyahlukahlukene kule ndawo seyisitholile isijeziso, manje izobe seyiba sezingeni lokubuyiselwa enyameni ibe ngabantu. Le ndawo ihlukanisa imiphefumulo ngokwezinhlobo ukuthi izoya kuluphi uhlobo lomndeni uma izalwa, ukuthi izobamba liqhaza lini uma seyibuyiselwe enyameni, kanjalo kanjalo. Isibonelo, abanye abantu baba ngabaculi uma befika kulo mhlaba, bese bebekwa eqeqebeni labaculi; abanye bazoba ngosomabhizinisi uma befika kulo mhlaba, bese babekwe eqeqebeni losomabhizinisi, kuthi uma umuntu ezoba ngumcwaningi owusosayensi uma eba ngumuntu, abekwe eqeqebeni labacwaningi bezesayensi. Uma sebefakiwe emikhakheni yabo, umuntu ngamunye uthunyelwa ngesikhathi esihlukile nangosuku olukhethiwe, kufane nendlela abantu abathumela ngayo ama-imeyili namhlanje. Ngalokhu umuntu useqede umzuliswano owodwa wokuphila nokufa. Kusukela ngosuku umuntu afika ngalo emhlabeni kamoya kuze kuphele isijeziso sakhe, noma aphendulwe isilwane kaningi, futhi elungiselela ukubuyiselwa ekubeni ngumuntu, le nqubo iphelele.

Futhi ngabe labo abaqede izijeziso zabo, futhi abangabuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane, bayothunyelwa masinya emhlabeni wezinto ezibambekayo ukuze bazalwe njengabantu? Noma, kuyothatha isikhathi esingakanani ukuthi bafike phakathi kwabantu? Kungenzeka ngokulandelana kangakanani lokhu? Kunemikhawulo yesikhashana kulokhu. Konke okwenzeka emhlabeni kamoya kulawulwa imikhawulo nemithetho efanele—uma ngingachaza ngokusebenzisa izinombolo, nizoqonda. Kulabo ababuyiselwa enyameni ngokuthatha isikhathi esincane, uma befa ukuphinda bazalwe njengabantu kuyalungiselelwa. Isikhathi esifushane kunazo zonke kuba yizinsuku ezintathu. Kwabanye abantu, kuba yizinyanga ezintathu, kwabanye kube yiminyaka emithathu, kuthi kwabanye kube yiminyaka engamashumi amathathu, kanti kwabanye kuba ngamakhulu amathathu eminyaka, njalo-njalo. Yini-ke engaphawulwa ngale mithetho yesikhashana, yini eyiqukethe ngempela? Isekelwe kulokho umhlaba wezinto ezibambekayo, umhlaba wabantu okudinga emphefumulweni kanye neqhaza elizobanjwa yilo mphefumulo emhlabeni. Uma abantu bebuyiselwa enyameni njengabantu abejwayelekile, abaningi babo babuyiselwa enyameni masinya, ngoba umhlaba wabantu unesidingo esikhulu sabantu abanjalo, bese bebuyiselwa ezinsukwini ezintathu ezilandelayo emindenini ehlukile kunale abebekuyo ngaphambi kokufa. Kodwa kukhona labo abadlala indima ekhethekile kulo mhlaba. “Ekhethekile” kusho ukuthi asikho isidingo esikhulu salaba bantu emhlabeni wabantu; ababaningi okudingeka badlale leyo ndima, ngakho kungathatha iminyaka engamakhulu amathathu. Ngamanye amazwi, lo mphefumulo uzobuya kanye njalo emva kweminyaka engamakhulu amathathu, noma kube kanye emva kweminyaka eyizinkulungwane ezintathu. Kungani kunjalo? Kungoba eminyakeni engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu aludingeki lolo hlobo lomuntu emhlabeni wabantu, ngalokho bagcinwa endaweni ethile emhlabeni kamoya. Masibheke umuntu onjengoConfucius, njengesibonelo. Wayenethonya elijulile emasikweni omdabu eChina. Ukufika kwakhe kwaba nomphumela omkhulu emasikweni, olwazini, kokomdabu, kanye nasekucabangeni kwabantu bangaleso sikhathi. Kodwa umuntu onjengalona akadingeki minyaka yonke, kwabe sekudingeka ukuthi ahlale emhlabeni kamoya, walinda khona iminyaka engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu ngaphambi kokuthi abuyiselwe enyameni. Kungoba umhlaba wabantu wawungamdingi umuntu onjengalona, kwadingeka alinde engenzi lutho, ngokuthi kwakunesidingo esincane somuntu onjengaye, kwabe kukuncane okwakumele akwenze, ngakho kwadingeka agcinwe ndawana thile emhlabeni kamoya isikhathi esithile, engenzi lutho, nokuze akhishelwe emhlabeni womuntu uma sewumdinga. Lena yimithetho yokomoya yesikhashana eholela ekuthini abantu babuyiselwe enyameni. Noma bangaba ngabantu abejwayelekile noma abakhethekile, umhlaba kamoya unemithetho efanele nezindlela ezinembayo ukwenza umsebenzi wokubuyisela enyameni abantu, futhi le mithetho kanye nezindlela kuvela kuNkulunkulu, ayinqunywa noma ilawulwe yisithunywa noma ibe semhlabeni kamoya. Manje seniyaqonda, yebo?

Emphefumulweni noma yimuphi, ukubuyiselwa esimweni somuntu, ukuthi yiliphi iqhaza lawo kule mpilo, ukuthi uzalelwa kumuphi umndeni, nokuthi impilo yawo injani kuncike empilweni yawo edlule. Zonke izinhlobo zabantu ezifika kulo mhlaba wabantu, iqhaza ezilibambayo kalifani, njengemisebenzi eziyenzayo lezi zinhlobo. Yimiphi leyo misebenzi? Abanye abantu bafikela ukuzokhokha izikweletu kule mpilo: Uma bebekweleta abanye izimali eziningi empilweni yabo edlule, bayazikhokha lezo zikweletu. Abanye abantu, ngaleyo nkathi, babuyela ukuzoqoqa izikweletu: Babeqolwe izinto eziningi, nemali eningi empilweni yabo edlule, emva kokufika emhlabeni kamoya banikwa ubulungiswa bavunyelwe ukuzoqoqa izikweletu kule mpilo. Abanye abantu babuyela ukuzokhokha izikweletu zokubonga: Empilweni yabo edlule—ngaphambi kokuthi bafe—kunomuntu osuke eye waba nomusa kubo, kuthi empilweni yabo yamanje banikwe ithuba elikhulu lokubuyiselwa enyameni bazalwe futhi ukuba bazokhokha isikweletu sokubonga. Abanye, ngaleyo nkathi, baphinde bazalwa kulesi sikhathi samanje ukuba bathole ukuphila nje. Iyiphi impilo abayitholayo? Kusuke kunomuntu obabulele empilweni yabo edlule. Uma sihlanganisa, wonke umuntu ophilayo manje impilo yakhe ihlobene nempilo yakhe edlule, ihlobene ngokungehlukaniswe. Okusho ukuthi, impilo yomuntu wonke ophila manje ithola ithonya empilweni yakhe eyedlule. Isibonelo, ngaphambi kokuthi afe uZhang wenza inkohlakalo ngemali kaLi eningi kakhulu. Ngabe uZhang unesikwelethu esikhulu kuLi? Ngoba kunjalo, ngabe kuyimvelo ukuthi uLi aqoqe isikweletu sakhe kuZhang? Ngakho, emva kokufa kwabo, kunesikweletu okufanele sikhokhwe phakathi kwabo. Uma bebuyiselwa enyameni uZhang bese eba ngumuntu, ngabe uLi usiqoqa kanjani isikweletu sakhe kuye? Kokunye okungenzeka ukuthi uLi azalwe njengendodana kaZhang bese siqoqeka isikweletu. UZhang uthola imali eningi, futhi ilokhu idliwa nguLi nje. Noma angathola malini uZhang, uLi indodana yakhe uyayidla. Noma angathola malini uZhang, ayeneli, umfana wakhe, ngaleso sikhathi, ngasizathu sithile uzithola edla imali kayise ngezindlela eziningi ezahlukene. UZhang udidekile nje: “Kungani indodana yami imosha nje? Kungani amadodana abanye abantu eziphethe kahle kangaka? Kungani indodana yami ingenanhloso enhle empilweni, kungani ingento yalutho ingakwazi ukuzenzela imali ngokwayo, kungani kudingeka njalo ngiyixhase? Ngoba kudingeka ngiyixhase, ngizoyixhasa-ke, kungani kodwa ukuthi noma ngingayinika malini, idinga enye eningi futhi? Kungani ingenzi umsebenzi wosuku nje onokwethembeka, kodwa iyokwenza noma yini—iyalova, iyadla, iyaphuza, iyafeba, futhi iyabheja. Kwenzekani nje kimi?” UZhang athi ukucabanga kancane: “Kungenzeka kambe ukuthi kungoba bengimkweleta imali empilweni edlule. Kuhle-ke, ngizosikhokha isikweletu! Ngeke kuphele lokhu ngize ngisikhokhe sonke ngokuphelele!” Lungafika usuku lapho uLi esithola khona sonke isikweletu sakhe, kuthi ngenkathi efika eminyakeni engamashumi amane noma amahlanu, kufike usuku lapho efikelwa khona wumcabango ophusile: “Angenzanga lutho oluhle kuwo wonke uhhafu wokuqala wempilo yami! Ngiyidle yonke imali ubaba ayisebenzile—kumele ngiziphathe kahle! Ngizolungisa isimo sami: Ngizokwethembeka, ngiphile impilo efanele, ngingaphindi ngimkhubekise ubaba futhi!” Kungani ecabanga ngale nto? Kungani eseguquka manje eba ngumuntu okahle? Ngabe sikhona isizathu salokhu? Siyini sona leso sizathu? (Ngoba uLi usesiqoqe sonke isikweletu sakhe; uZhang usesikhokhile isikweletu. Kulokhu, kukhona imbangela nomphumela). Indaba yaqala kudaladala, ngaphambi kokuthi bazalwe bobabili, futhi le ndaba yabo yempilo edlule ibuyiselwe empilweni yamanje, akekho kubo ozolahla omunye ngecala. Lokhu nalokhuya uZhang ayifundise khona indodana yakhe, ayizange ikulalele, ayizange yenze nomncane umsebenzi noma ngowosuku nje—kodwa kuthe ngosuku isikweletu esaphela ngalo, akubanga khona sidingo sokuthi ayifundise indodana yakhe; yavele yaqonda izinto ngokwemvelo. Yisibonelo esilula njena lesi. Zikhona yini eziningi ezinye izibonelo ezifana nalezi? (Yebo.) Futhi kusho ukuthini kubantu lokhu? (Ukuthi kumele baziphathe kahle futhi bangenzi okubi.) Ukuthi akumele benze okubi, kuzoba khona imiphumela engemihle kubo ngokwenza okubi! Abaningi abangakholwa benza okubi, kanti ububi ababenzile sebube nayo imiphumela engemihle kubo, angithi kunjalo? Kungabe-ke imiphumela engemihle kubo ayibafanele? Konke okuholele emiphumeleni engemihle kubo kunesizathu. Ucabanga ukuthi akukho okuzokwenzeka kuwe uma wenze inkohlakalo kumuntu ngemali yakhe? Ucabanga ukuthi, emva kokuqola umuntu imali, akukho miphumela kuwe emva kokuthatha imali yakhe? Ngeke kungenzeki lutho, futhi kuyoba khona imiphumela! Kungakhathaleki ukuthi bangobani, noma bayakholwa noma cha ukuthi uNkulunkulu ukhona, wonke umuntu kumele azithwalele yena imiphumela yokuziphatha kwakhe, amukele okulandela emva kwezenzo zakhe. Mayelana nalesi sibonelo esilula—uZhang esejezisiwe, noLi esekhokhelekile—akwamukelekile lokhu? Uma abantu benza izinto ezinjena, kukhona imiphumela enjalo emelwe ukuba khona. Akuhlukaniseki nokuphathwa komhlaba kamoya. Phezu kokuba bengabangakholwayo, labo abangakholwa uNkulunkulu, ubukhona babo buyayithinta inqubo yezulu nemiyalelo yalo okungekho noyedwa ongayibalekela futhi akekho okwazi ukuvika leli qiniso.

Labo abangenakho ukukholwa bavame ukukholwa ukuthi yonke into ebonakalayo ikhona, kanti konke okungabonwa, noma okukude kakhulu nabantu, akukho. Bakhetha ukukholwa ukuthi ayikho into okuthiwa “yisikhathi sokuphila nokufa,” futhi asikho “isijeziso,” ngakho bayona benze isono ngaphandle kokuzisola—emva kwalokho bajeziswe, noma babuyiselwe enyameni ngokwenziwa izilwane. Iningi kulabo abangakholwayo bawela kulo mzuliswano onzima. Lokhu kungoba abazi ukuthi umhlaba kamoya uqinisa isandla ekuphatheni kwawo konke okuphilayo. Noma ngabe uyakholwa noma awukholwa, leli qiniso limile, ngokuthi akukho noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuvika lokho uNkulunkulu akubonayo ngamehlo Akhe, akekho futhi noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuphunyula emithethweni kanye nasemikhawulweni yezulu nemiyalelo kaNkulunkulu. Kanjalo futhi lesi sibonelo esilula sitshela wonke umuntu ukuthi noma uyakholwa noma kawukholwa uNkulunkulu, akwamukelekile ukwenza isono nokwenza okubi, futhi kunemiphumela. Uma kungukuthi umuntu oqole omunye imali uthola isijeziso esinje, leso sijeziso simfanele. Ngokujwayelekile kwesikubonayo okufana nalokhu okuthola isijeziso emhlabeni kamoya, kungukujeziswa okuvela ngemiyalelo kanye nemigomo kaNkulunkulu, ngakho ukuziphatha okunobugcwelegcwele nobubi—ukudlwengula nokuqola, ukukhwabanisa nokukhohlisa, ukweba nokubamba inkunzi ukubulala nokuthungela ngomlilo, kanjalo kanjalo—kuholela ezijezisweni eziningi ezinamazinga angalingani ngobunzima. Zibandakanya ini nani lezi zijeziso ezehlukene ngamazinga obunzima? Ezinye zazo zithatha isikhathi ukufinyelela ezingeni lobunzima, ezinye zikwenza lokho ngezindlela ezahlukahlukene, kuthi ezinye zikwenze ngendawo lapho abantu beya khona uma bebuyiselwa enyameni. Isibonelo, abanye abantu banokukhuluma kabi. Kusho ukuthini “ukukhuluma kabi”? Kusho ukukhipha inhlamba wethuke abanye kanye nokusebenzisa ulimi olunendelelo, ulimi oluqalekisa abantu. Yini ebalulwa wulimi olubi? Lubalula ukuthi lowo muntu unenhliziyo embi. Ulimi olubi oluqalekisa abanye abantu luvame ukuvela emilonyeni yabantu abanjalo, kanti lolo lulimi olubi luhambisana nemiphumela enzima. Emva kokuthi laba bantu bafe bathola isijeziso esifanele, bangazalwa futhi kodwa bazalwe beyizimungulu. Abanye abantu bathanda ukucubungula kakhulu uma besaphila, bavame ukuqinela abanye, amaqhinga abo avama ukuhlelwa kahle, okuningi abakwenzayo kuyabalimaza abanye. Uma bezalwa futhi, bangazalwa bengaphelele engqondweni kungenjalo babe yizinhlanya. Abanye bavama ukuzinikela ekucingeni babone ingasese labanye abantu; amehlo abo abona okuningi abangafanele ukukubona, bazi okuningi abangafanele ukukwazi, bese bezalwa beyizimpumputhe. Abanye abantu bashesha kakhulu uma besaphila, bayalwa, benza okuningi okubi, bese kuthi uma bezalwa futhi babe nokukhubazeka, babe yizinyonga noma ngabangenaso isitho esithile mhlawumbe bangabi nangalo, kungenjalo babe yizifumbu, baxhwale ngemiqala, baxhuge, noma babe nomlenze omfushane kunomunye, njalo-njalo. Ngalokhu bawela ezijezisweni eziningi ezahlukahlukene eziya nokuthi benze ububi obungakanani ngenkathi besaphila. Bese nina nithi, kungani abanye abantu beyinsanga? Kungabe baningi abantu abanjalo? Bakhona baningi kulezi zinsuku. Abanye abantu bayinsanga ngoba empilweni yabo edlule bawasebenzise kakhulu amehlo abo, benze izinto eziningi ezimbi ngawo, uma bezalwa futhi kulo mhlaba amehlo abo aba yinsanga, ezimeni ezimbi kakhulu baba yizimpumputhe. Ukuphindiselela lokhu! Abanye abantu bazwana kahle nabanye ngaphambi kokuthi bafe, bebenzela okuningi okuhle labo abathandiweyo babo, abangani, ozakwabo, noma abantu abaxhumene nabo. Bayaphana futhi bayabanakekela abanye abantu, mhlawumbe babasize ngemali, abanye bayabahlonipha laba bantu, kuthi uma abantu abanjalo bebuyela emhlabeni kamoya bangakutholi ukujeziswa. Ukuze umuntu ongakholwa angajeziswa kumele abe ngumuntu oziphethe kahle kakhulu. Esikhundleni sokukholwa nguNkulunkulu, bakholwa kuphela yiNdoda Endala Yasesibhakabhakeni. Bakholwa kuphela ukuthi kunomoya ongaphezu kwabo obona konke abakwenzayo—ukuphela kwento abakholwa yiyo. Futhi umphumela wabo uwukuthi baziphethe kahle kangcono kakhulu. Labo bantu banezinhliziyo ezinomusa bayaphana, ekugcineni sebebuyela emhlabeni kamoya, wona umhlaba kamoya bese ubaphatha kahle baphinde babuyiselwe enyameni. Lapho bezalwa futhi, luhlobo luni lomndeni abazofikela kuwo? Nakuba lo mndeni ungeke ube yizigwili, uzoba nokuthula, kuzoba noxolo emalungwini awo, awuzuba namsindo, izinsuku zawo zinenjabulo, wonke umuntu kuwo uthakasile, unempilo enhle. Uma lowo muntu eba mdala, uzoba nomndeni omkhulu, izingane zakhe zibe neziphiwo zithokozele impumelelo, futhi nemindeni yazo ibe nenhlanhla ejabulisayo—umphumela onjalo usukela kakhulu empilweni yakhe edlule. Okusho ukuthi, lapho umuntu aya khona emva kokufa nalapho ebuyiselwa enyameni, noma kungowesilisa noma ngowesifazane, noma ngabe yimuphi umsebenzi wakhe, noma ngabe udlule kukuphi nakukuphi empilweni, izinkinga zakhe, izibusiso azithokozele, noma ngubani azohlangana naye, kuzokwenzekani kuye—akekho okwazi ukwenza umhlahlo walokhu, ukukuvika, noma ukuzifihla kukho. Lokho kusho ukuthi, emva kokuthi impilo yakho seyihleliwe, okuzokwenzeka kuwe, noma ungazama kanjani ukukuvika, noma yingani ozama ukuvika ngayo, awunayo indlela yokugwema uhlelo lwempilo olubekelwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya. Kungoba uma ubuyiselwa enyameni, impilo yakho isuke isihleliwe. Noma ingaba yimbi noma ingaba yinhle, wonke umuntu kumele abhekane nalokhu, aqhubekele phambili; yinto lena angekho kwabaphila kulo mhlaba ongayivika, akukho futhi kulokhu okuliqiniso kakhulu kunokunye. Kulungile-ke, uyakuqonda konke lokhu, yebo?

Uma senikuqonda-ke lokhu, ngabe uyabona ukuthi uNkulunkulu unezindlela ezinembayo zokuqaphela kanye nokulawula impilo yokuphila nokufa kwabantu abangakholwa? Okokuqala, uNkulunkulu wenze imithetho yezulu eminingi, imiyalelo, nezinhlelo ngokomoya, emva kokwethulwa kwale mithetho, imiyalelo, kanye nezinhlelo, konke kulandelwa ngokuqinisileyo, njengokusho kukaNkulunkulu, ngabantu abasezikhundleni ezahlukahlukene emhlabeni kamoya, akekho onesibindi sokuyephula. Ngakho-ke, empilweni yabantu yokuphila nokufa emhlabeni wabantu, noma ngabe umuntu ubuyiselwe enyameni waba yisilwane noma wabangumuntu, kunemithetho kukho kokubili. Kungoba le mithetho ivela kuNkulunkulu, akekho onesibindi sokuyephula, futhi akekho nokwazi ukuyephula. Ngenxa yobukhulu bukaNkulunkulu, ngoba-ke kunale mithetho, ethi umhlaba wezinto ezibambekayo ubonwa ngabantu njengohlelekile noqondile; kungenxa yalobu bukhulu bukaNkulunkulu ukuthi umuntu akwazi ukuphila ngokuthula nomunye umhlaba ongabonakali nhlobo kumuntu, akwazi ukuphila ngoxolo nawo—kanti konke ongeke ukwehlukanise nobukhulu bukaNkulunkulu. Emva kokufa kwempilo yomuntu yenyama, umphefumulo usuke usaphila, ngakho bekuzokwenzekani uma ubungaphethwe uNkulunkulu? Lo mphefumulo bewuzozulazula yonke indawo, ungene le nale, uze ulimaze izinto eziphila emhlabeni wabantu. Lokho kulimala bekungeke kugcine kubantu, bekuzofinyelela nasezitshalweni nasezilwaneni—kodwa okokuqala okungalimala ngabantu. Uma bekungenzeka lokhu—ukuba lowo mphefumulo bewungangalawulwa, wase ulimaza abantu, wenza izinto ezimbi—bekuyoze ulawulwe emhlabeni kamoya: Uma izinto bezinqala, lowo mphefumulo bewuyoshabalala masinya, bewuyolimala uphele; uma kwenzeka, bewuyobekwa ndawana thile uze ubuyiselwe enyameni. Lokho kusho ukuthi, ukulawula komhlaba kamoya okwenzeka emiphefumulweni enhlobonhlobo kuhlelekile, kwenziwa kulandelwa izinyathelo nemithetho efanele. Kungenxa yalokhu kulawulwa ukuthi umhlaba wezinto ezibambekayo wabantu awusona isiphithiphithi, ukuthi isintu emhlabeni wezinto ezibambekayo siziphethe ngendlela eyamukelekayo, indlela enokuhlakanipha, nempilo yenyama ehlelekile. Kusemva kokuthi isintu sibe nempilo eyamukelekayo ukuthi labo abaphila enyameni bakwazi ukuqhubeka nokuphila bazalane ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Nicabangani ngamazwi eniqeda kuwezwa? Ngabe masha kini? Futhi nizizwa kanjani emva kokuthi sengixoxe la mazwi namuhla? Ngaphandle kokuthi masha, kukhona okunye okuzwayo kuwe? (Abantu kumele baziphathe kahle, futhi ngiyabona ukuthi uNkulunkulu mkhulu uyesabeka.) (Njengoba sengizwile okushiwo ngoNkulunkulu ukuthi Yena uNkulunkulu wenzani ngesiphelo sezinhlobo ezahlukahlukene zabantu, kanti ngiyezwa ukuthi isimo sikaNkulunkulu asikuvumeli ukona, nokuthi kumele ngimhloniphe Yena; kanti ngakolunye uhlangothi, ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu uthanda abantu abanjani, ngabanjani angabathandi, ngithanda ukuba ngomunye walabo abathandayo uNkulunkulu.) Niyabona ukuthi uNkulunkulu unemigomo ezenzweni Zakhe kulolu hlangothi lwezinto? Usebenza ngamiphi imigomo? (Uhlela isiphelo sabantu ebhekisa ekuthini benzeni.) Lokhu kumayelana nezinhlobo ezahlukene zokuphela kwabangakholwayo esesikhulume ngakho. Uma sibhekisa kwabangakholwayo, kungabe umgomo uthi izenzo zikaNkulunkulu zivuza abahle zijezise ababi? Bakhona abashiywa ngaphandle? (Cha.) Niyabona ukuthi kunomgomo ezenzweni zikaNkulunkulu? Abangakholwayo abakholwa kuNkulunkulu, abazigcini izinhlelo zikaNkulunkulu, ababunakile nobukhulu bukaNkulunkulu, abamamukeli nakancane uNkulunkulu. Okukhulu kakhulu, bayamhlaza uNkulunkulu, bayamqalekisa futhi, benjalo nje bavukela labo abakholwa wuNkulunkulu. Nakuba laba bantu beziphethe kanjalo kuNkulunkulu, ukulawula kukaNkulunkulu kubo akusuki emigomeni Yakhe; ubaphatha ngokuhlelekile ngokuhambisana nemigomo Yakhe kanye nokuziphatha Kwakhe. Ngabe uyithatha kanjani indlela abamelana ngayo Naye? Uyithatha njengeyokungazi! Kubehlele laba bantu—iningi labo okungabangakholwayo—ukuthi babuyiselwe enyameni kanye ngokuba yizilwane. Manje bayini abangakholwayo emehlweni kaNkulunkulu? Bayimfuyo. UNkulunkulu uyayelusa imfuyo, uyabelusa abantu, futhi unemigomo efanayo nakulolu hlobo lomuntu. Nasekubaphatheni laba bantu, isimo Sakhe sisabonakala njengoba ibonakala nemithetho Yakhe yokubusa izinto zonke. Kulokho, niyabubona na ubukhulu bukaNkulunkulu emigomeni Yakhe aphatha ngayo labo abangakholwayo engikhulume ngabo? Niyasibona isimo sokulunga kukaNkulunkulu? (Siyasibona.) Okusho ukuthi, noma ngabe yiziphi izinto asebenza ngazo, uNkulunkulu ulandela imigomo Yakhe kanye nesimo Sakhe. Lobu ubuqu bukaNkulunkulu. Akaveli ayephule kalula nje imiyalelo noma kungaba yimithetho yasezulwini ayibeka Yena ngoba ethatha lolu hlobo lomuntu njengemfuyo. UNkulunkulu wenza izinto elandela imigomo, akagudluki nakancane, izenzo Zakhe azithonywa nakancane okunye, noma ngabe wenzani, konke ukwenza elandela imigomo Yakhe. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu unengqikithi kaNkulunkulu Kuye Uqobo, okuyingxenye yengqikithi Yakhe engekho kunoma yini edaliwe. UNkulunkulu uyazinikela akubeke emahlombe Akhe konke akwenzayo, indlela enza ngayo, indlela akuphethe ngayo, indlela akusebenza ngayo, nendlela abusa ngayo yonke into, abantu, kanye nezinto eziphilayo kuzo zonke izinto azidala, akakaze futhi abe nobudedengu kulokhu. Kulabo abaziphethe kahle, unomusa nobubele; kulabo ababi, ubanika isijeziso angazisoli neze ngaso; kubantu abehlukahlukene abaphilayo, wenza izinhlelo ezifanele ngesikhathi esifanele ngendlela efanele ngokulandela izidingo ezahlukahlukene zabantu emhlabeni ngezikhathi ezahlukahlukene, ukuze abantu abaphilayo babuyiselwe enyameni kulandelwa iqhaza abalibambe ngendlela ehlelekile, bahambahambe phakathi komhlaba wezinto ezibambekayo nomhlaba kamoya ngendlela ehlelekile.

Ukufa komuntu ophilayo—ukumiswa kwempilo yomzimba—kusho ukuthi umuntu useye wahamba emhlabeni wezinto ezibambekayo waya emhlabeni kamoya, kanti ukuzalwa kwempilo yenyama entsha kusho ukuthi umuntu ophilayo ufikile evela emhlabeni kamoya efika emhlabeni wezinto ezibambekayo wayeseqala indima yakhe, yokubamba iqhaza lakhe. Noma ngabe ukuhamba noma ukufika kwento ephilayo, kokubili akuhlukaniseki emsebenzini womhlaba kamoya. Uma kufika umuntu emhlabeni wezinto ezibambekayo, amalungiselelo kanye nezidingo zakhe kusuke sekwenziwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya kwenzelwa umndeni aya kuwo, inkathi afika ngaso, ihora afika ngalo, iqhaza azolibamba. Impilo yonke yalo muntu—izinto azenzayo, izindlela azithathayo—ziqhubeka ngokwamalungiselelo akhe enziwe emhlabeni kamoya, ngaphandle kwephutha noma ngabe lincane kangakanani. Isikhathi lapho impilo yenyama iphela khona, okwesikhashana, nangendlela nendawo lapho iphelela khona, kucacisiwe kwafakazelwa futhi emhlabeni kamoya. UNkulunkulu ubusa umhlaba wezinto ezibambekayo, aphinde abuse emhlabeni kamoya, kanti akawubambezeli umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa, akenzi phutha futhi ekulungiseleleni umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa. Isithunywa ngasinye ezikhundleni ezisemthethweni emhlabeni kamoya siqala umsebenzi waso, senze njengoba kufanele, silandele imiyalelo nemithetho kaNkulunkulu. Ngakho, emhlabeni wesintu, yonke into eyenganyelwe ngumuntu ihlelekile, ayinasiphithiphithi. Konke lokhu kungenxa yohlelo lwemithetho ehleliwe kaNkulunkulu abusa ngayo zonke izinto, kuphinde kube ngegunya likaNkulunkulu elibusa phezu kwakho konke, kanti konke lokho abusa phezu kwakho kubandakanya umhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo umuntu, kuphinde futhi, phezu kwakho lokho, kube umhlaba kamoya ongabonakali kumuntu. Ngakho, uma isintu sifisa impilo enhle, futhi sifisa ukuhlala ezindaweni ezinhle, phezu kokuphiwa umhlaba wezinto ezibambekayo ophelele obonakalayo, umuntu uyadinga ukuphiwa umhlaba kamoya, ongabonakali kumuntu, obusa phezu kwakho konke okuphilayo egameni lesintu, ophinda ube ngohlelekile. Ngalokho, uma kuthiwa uNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto, akwengezwanga lutho ekuqapheleni nasekuqondeni “zonke izinto”? (Yebo.)

2. Ukujikeleza Kokuphila Nokufa Kwabantu Abehlukahlukene Benkolo

Siqeda kuxoxa ngokujikeleza kokuphila nokufa esigabeni sokuqala, sabangakholwayo. Manje, make sixoxe ngesigaba sesibili, sabantu abahlukahlukene benkolo. “Ukujikeleza kokuphila nokufa kwabantu abehlukahlukene benkolo” naso yisihloko esibalulekile, futhi kunilungele ukuthi nibe nokuqonda ngakho. Okokuqala, masikhulume ngokuthi ezinkolweni iyiphi “inkolo” esibhekise kuyo lapho sithi khona “abantu benkolo”: Kusho Inkolo yamaJuda, eyamaKrestu, eyamaKhatholika, eyama-Islam, nobuBuddha, okuyizinkolo ezinkulu ezinhlanu. Phezu kwabangakholwayo, abantu abakholwa kulezi zinkolo ezinhlanu bayingxenye enkulu yenani labantu emhlabeni. Kulezi zinkolo ezinhlanu, labo asebekwenze umsebenzi wabo ukukholwa bambalwa, kodwa lezi zinkolo zinamakholwa amaningi. Amakholwa azo aya endaweni ehlukile uma efa. “Ehlukile” ehluke kunekabani? Ehlukile kweyabangakholwayo, kweyabangenankolo, ebesikhuluma ngabo khona manje. Emva kokufa, abakholwa kulezi zinkolo ezinhlanu baya kwenye indawo, endaweni ehlukile kweyabangakholwayo. Kodwa kuyinqubo efanayo. Umhlaba kamoya uzokhipha isahlulelo ngabo ulandela lokho abakwenzile ngaphambi kokufa, kulandele ukuthi benziwe izinto ezifanele. Kungani-ke kodwa laba bantu bebekwa endaweni ehlukile lapho bezohlungwa khona? Kunesizathu esibalulekile salokhu. Siyini leso sizathu? Ngizonitshela ngokwenza isibonelo. Kodwa ngaphambi kokukwenza, kungase kube nicabanga lokhu: “Mhlawumbe kungenxa yokuthi banokukholwa okuncane kuNkulunkulu! Abayibona abangakholwa ngokuphelele.” Lokhu akuyiso isizathu. Kukhona isizathu esibaluleke kakhulu esenza babekwe kwenye indawo.

Masibhekise enkolweni yamaBuddha: Make nginitshele iqiniso. Umuntu ongumBuddha, okokuqala, lowo ngumuntu ophendukele enkolweni yamaBuddha, futhi ngumuntu owaziyo ukuthi inkolo yakhe iyini empeleni. Uma umBuddha egunda izinwele bese eba yindela noma yindelakazi, lokho kusho ukuthi uziqhelelanisile nomhlaba wezinto ezibambekayo washiya izinto zomhlaba womuntu kude le. Zonke izinsuku basho imibhalo yamaHindu, futhi bahaye amagama kaBuddha, badle ukudla okuyimifino kodwa, baphila impilo yokuzithiba, izinsuku zabo zidlula zihambisana nelambu elishisa ibhotela elibandayo nelikhanya okulufifi. Abenkolo yamaBuddha baphila impilo yabo ngale ndlela. Uma impilo yabo yomzimba wenyama iphela, benza isifinyezo sempilo yabo, kodwa ezinhliziyweni zabo abazi ukuthi bazoya kuphi emva kokufa, bazohlangana nobani, futhi bazoba nesiphelo esinjani—ezinhliziyweni zabo abacacelwa yilezi zinto. Ayikho into abayenzile ngaphandle kokuphila impilo yabo yonke ngokunganaki bephelekezelwa yinkolo, emva kwalokho bayawushiya umhlaba bephelekezelwa ngamathemba nemibono engasho lutho. Leso yisiphetho sempilo yabo yenyama okuthi lapho beshiya khona emhlabeni wabaphilayo, futhi, emva kwalokho, bebuyela endaweni yabo yakuqala emhlabeni kamoya. Ukuthi labo bantu babuyiselwe enyameni ukuba babuyele emhlabeni bayoqhubeka nempilo yokuzifundisa kuncika ekuthini ukuziphatha kwabo nakho ukuzifundisa lokho ngaphambi kokuthi bafe. Uma bengenzanga lutho olungafanele ngesikhathi besaphila, bazobuyiselwa enyameni masinya babuyiselwe emhlabeni futhi, lapho bezofika babe yizindela noma izindelakazi futhi. Ngokwenqubo yokuqala, imizimba yabo yenyama iyazifundisa, emva kwalokho bayafa babuyele emhlabeni kamoya, lapho befika bahlolwe khona, emva kwalokho—uma kungenazinkinga—bangabuyela futhi emhlabeni wabantu, baphinde futhi baphendukele enkolweni yamaBuddha baqhubeke nokuzifundisa. Uma sebebuyiselwe enyameni izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, bazophinda babuyele emhlabeni kamoya, okuyilapho beya khona njalo uma impilo yabo yenyama iphela. Uma okubenza bemukeleke nezindlela zokuziphatha emhlabeni wabantu kuhambisana nemithetho yasezulwini ngokomhlaba kamoya, kusukela lapho bayohlala khona okokuphela; ngeke besabuyiselwa enyameni njengabantu, ngeke futhi besangena engcupheni yokujeziselwa ukwenza okubi. Ngeke baphinde babhekane nale nqubo. Esikhundleni salokho, ngokwezimo zabo, bazohlala endaweni kamoya. Yilokhu amaBuddha akubiza “ngokuthola ubuBuddha.” Ukuthola ubuBuddha ikakhulu ukufinyelela ekuphumeleleni njengesikhulu somhlaba kamoya futhi, emva kwalokho, ungasabuyiselwa enyameni noma ube sengozini yokujeziswa. Ngaphezu kwalokho, kusho ukungabe kusaba nenhlupheko okuyinkinga yokuba ngumuntu emva kokubuyiselwa enyameni. Ngakho lisekhona yini elinye ithuba lokuthi babuyiselwe enyameni ngokwenziwa izilwane? (Cha.) Lokhu kusho ukuthi bahlalele ukubamba iqhaza emhlabeni kamoya kanti ngeke besabuyiselwa enyameni. Lesi yisibonelo esisodwa sokufinyelela ekuphumeleleni kobuBuddha enkolweni yobuBuddha. Okwalabo abangafinyeleli ekuphumeleleni, uma bebuyela emhlabeni kamoya, bayahlolwa baqinisekiswe yisikhulu esiqondene nalokho, esithola ukuthi ngenkathi besaphila, babengazifundisanga ngokukhuthala noma babengakukhuthalele ukusho imibhalo nokuhaya amagama kaBuddha njengoba kubalula inkolo yamaBuddha, kodwa, esikhundleni salokho babenze okuningi okubi, baziphatha kabi kaningi. Bese, emhlabeni kamoya kwenziwe ukwehlulela ngokwenza kwabo ububi, kulandele ukuthi nakanjani bajeziswe. Kulokhu, akukho ukukhetha abathile. Ngakho, umuntu onje ukuzuza nini ukuphumelela? Empilweni lapho engakwenzi okubi—lapho, emva kokubuyela emhlabeni kamoya, kubonakala ukuthi akenzanga lutho olungafanele ngaphambi kokuthi afe. Uyaqhubeka nokubuyiselwa enyameni, aqhubeke nokusho imibhalo nokuhaya amagama kaBuddha, edlulisa izinsuku zakhe ekukhanyeni okubandayo, okufiphele kwelambu lebhotela, engabulali noma yini ephilayo, engadli inyama, futhi engahlanganyeli ezintweni ezenziwa emhlabeni wabantu, eshiya izinkathazo emuva futhi kude, engaxabani namuntu. Ngenkathi kwenzeka lokho, akenzi bubi, kube sekulandela ukuthi abuyele emhlabeni kamoya, kuthi emva kokuba zonke izenzo zakhe nokuziphatha sekuhloliwe, ube esephindiselwa emhlabeni wabantu futhi, ekujikelezeni ozokukwenzeka izikhathi ezintathu kuya kweziyisikhombisa. Uma kungabi khona okuphoxayo ngalesi sikhathi, ukuzuza kwakhe ubuBuddha kuzobe sekuhlala kungathintekile, futhi ngeke kulibale. Lena indaba yokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabo bonke abantu benkolo: Bayakwazi “ukuzuza ukuphumelela,” bathathe indawo emhlabeni kamoya. Lokhu yikhona okubenza behluke kwabangakholwayo. Okokuqala, ngenkathi besaphila emhlabeni, kumele baziphathe kanjani labo abakwazi ukuthatha indawo emhlabeni kamoya? Kumele bangenzi nobuncane ububi: Akumele babulale, bashise abantu, badlwengule, noma baphange izimpahla zabantu; kodwa uma bekhwabanisa, bekhohlisa, bentshontsha, beqola, ngeke bakuzuze ukuphumelela. Ngamanye amazwi, uma behlobana noma besondelana nokwenza okubi, ngeke baphunyule ekujezisweni emhlabeni kamoya. Umhlaba kamoya wenza amalungiselelo afanele amaBuddha athola ubuBuddha: Anganikwa umsebenzi wokulawula labo ababonakala bekholwa enkolweni yamaBuddha, kanye naseNdodeni Endala Esesibhakabhakeni, amaBuddha azonikwa igunya lokuphatha, angaphatha abangakholwayo kuphela, noma abe yizithunywa esisezingeni eliphansi. Lokhu kubekwa kuhambisana nobunjalo bale miphefumulo. Yisibonelo senkolo yamaBuddha lesi.

Ezinkolweni ezinhlanu esikhulume ngazo, ubuKrestu bukhethekile ngandlela thile. Yini ekhetheke kangako ngobuKrestu? Laba ngabantu abakholwa kuNkulunkulu weqiniso. Singabafaka kanjani kulolu hla abantu abakholwa wuNkulunkulu weqiniso? Ngoba ubuKrestu buwuhlobo lwenkolo, buyiyo, ngaphandle kokungabaza, buhlobene nenkolo—buwumsebenzi othile, uhlobo lokukholwa, buthe ukwehluka enkolweni yalabo abalandela uNkulunkulu ngokweqiniso. Isizathu sokuthi ngibufake kulolu hlu lwezinkolo ezinhlanu ezinkulu ukuthi ubuKrestu busezingeni elilodwa nobuJuda, inkolo yamaBuddha, kanye ne-Islam. AmaKrestu amaningi awakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, nokuthi ubusa phezu kwezinto zonke, awakholwa futhi ukuthi ukhona. Esikhundleni salokho, azinikela ekukhulumeni ngobukholwa ebhekisa emibhalweni yeBhayibheli, asebenzisa isifundo sobukholwa ukufundisa abantu ukuthi babe nomusa, babekezelele ukuhlushwa, nokwenza izinto ezinhle. Buyilolo hlobo lwenkolo ubuKrestu: Bunamathela kuphela emibhalweni yezinkolo, abubhekisi nakancane emsebenzini kaNkulunkulu wokulawula aphinde asindise umuntu, yinkolo yalabo kuphela abalandela uNkulunkulu bebe bengemukelwa wuNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu unawo umgomo awubhekise kubona. Akabaphathi nje noma ikanjani ngokuzibonela Kwakhe, ngendlela efanayo nabangakholwayo. Indlela asebenza ngayo udaba lwabo iyafana neyamaBuddha: Uma, ngenkathi besaphila, umKrestu eziqoqile ngokwakhe, ehlala ngempela Emithethweni Elishumi futhi ephila ngemithetho nemiyalelo ezimfunweni azenza ekuziphatheni kwakhe—futhi uma engakwenza empilweni yakhe yonke—bazophinda badinge ukuchitha isikhathi esifanayo ekujikelezeni wokuphila nokufa ngaphambi kokuthi bazuze ngokweqiniso lokho okubizwa ngokuhlwithwa. Emva kokuzuza lokhu “kuhlwithwa,” babe sebehlala emhlabeni kamoya, lapho benikwa khona isikhundla sokuba ngesinye sezithunywa. Ngokufanayo, uma benza okubi emhlabeni, uma bona futhi benza izono eziningi, akube kusavikeka ukuthi bajeziswe bagotshwe ngobunzima obehlukahlukene. Enkolweni yamaBuddha, ukuthola ukuphumelela kusho ukudlulela Ezweni Elimsulwa Lokuthula Okukhulu kodwa kubizwa ngokuthini lokho enkolweni yobuKristu? Kubizwa “ngokungena ezulwini” kanye “nokuhlwithwa.” Labo “abahlwithwe” ngokweqiniso bayaphinda nabo bangene ekujikelezeni kwempilo yokuphila nokufa izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, okuzothi emva kwakho, emva kokufa, bafike emhlabeni kamoya, kungathithi balele basebuthongweni. Uma bephelelisekile bayakwazi ukusala bebamba iqhaza, kanti, kungafani nabantu abesemhlabeni, ababuyiselwa enyameni ngendlela elula, noma ngokwesivumelwano.

Kuzo zonke lezi zinkolo, isiphetho okukhulunywa ngaso nezilwela ukusizuza siyafana nokuthola ukuphumelela kwabenkolo yamaBuddha; ukuthi nje lokhu kutholakala ngezindlela ezahlukile. Bawuhlobo olulodwa. Engxenyeni yabantu balezi zinkolo abakwazi ukuhlala ngeqiniso emithethweni yayo inkolo ekuziphatheni kwabo, uNkulunkulu ubapha indawo efanele abayise kuyo, indawo abafanelwe ukuba kuyo, abaphathe ngendlela efanelekile. Konke lokhu kungokwamukelekayo, kodwa akufani nendlela abantu abakucabanga ngayo, yebo? Manje, lapho senikuzwile konke okwenzeka kubantu abangamaKristu, nizizwa kanjani? Niyakhathazeka ngabo? Niyabezwela? (Kancane.) Akukho okungenziwa—kumele bazilahle bona ngecala. Kungani ngisho kanje? Umsebenzi kaNkulunkulu uliqiniso, uNkulunkulu uyaphila futhi ukhona, futhi umsebenzi Wakhe uhloselwe isintu sonke naye wonke umuntu. Kungani-ke engakwamukeli lokhu? Kungani bemphikisa futhi bemelana noNkulunkulu? Banenhlanhla ukuthi banesiphelo esikanje, kungani-ke nibazwela? Ukuthi baphathwe kanje kukhombisa ukubabekezelela okukhulu. Ngendlela abaphikisa ngayo uNkulunkulu, kumele babhujiswe—kodwa uNkulunkulu akakwenzi lokho, uphethe ubuKrestu njengenkolo ejwayelekile. Esimeni esinje, ngabe sikhona isidingo sokuthi sijule nangalezi ezinye izinkolo? Umongo walezi ezinye izinkolo, ukuba abantu bezwe ubunzima obengeziwe, bangenzi okubi, benze izinzo ezinhle, bangathuki abanye, bangafinyeleli ezinqumeni ngabanye abantu, bazehlukanise nezingxabano, futhi babe ngabantu abalungileyo—eziningi izimfundiso zezinkolo zinje. Ngakho, uma laba bantu benkolo—laba bantu bezinkolo eziningi namahlelo—bekwazi ukuhlala ngokweqiniso emithethweni yenkolo, ngeke benze amaphutha amakhulu noma izono ngesikhathi besaphila emhlabeni, kanye nasemva kokuba bebuyiselwe enyameni izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, kakhulu-ke laba bantu, abantu abakwazi ukuhlala ngokweqiniso emithethweni yenkolo, bazokwazi ukubamba iqhaza emhlabeni kamoya. Ngabe baningi abantu abanjalo? (Cha, ababaningi.) Uyisuselaphi impendulo yakho? Akulula ukwenza okuhle, noma ukuhlala emithethweni. Inkolo yamaBuddha ayibavumeli abantu badle inyama—ungakwenza lokho? Uma bekungathiwa gqoka izingubo ezimpunga usho imibhalo yamaBuddha uhaye amagama kaBuddha ethempelini lamaBuddha usuku lonke, ubungakwenza? Ngeke kube lula. UbuKrestu buneMithetho Elishumi, imiyalelo nemithetho, ngabe kulula ukuyigcina? Akunjalo! Bheka ukungathuki abanye: Abantu abakwazi ukuhlala kulo mthetho. Abakwazi ukuzivimba, bayethukana—emva kwalokho abakwazi ukukwesula lokho, benzanjani-ke? Ebusuku bavuma izono zabo. Ngezinye izikhathi emva kokuthuka abanye, kusala kunenzondo ezinhliziyweni zabo, baphinde bedlulele ekuzilungiseleleni isikhathi abazobalimaza ngaso. Uma sihlanganisa, kulabo abaphila ngale nkolo efile, akulula ukungoni nokungenzi okubi. Ngakho, kuyo yonke inkolo, bambalwa kakhulu abantu abakwazi ukuzuza ukuphumelela. Ucabanga ukuthi njengoba abantu abaningi belandela lezi zinkolo, baningi abazothola ithuba lokubamba iqhaza emhlabeni kamoya! Ababaningi kangako nokho, bambalwa abakwazi ukufinyelela kulokhu. Kungako esingakhuluma ngakho ngokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa kwabantu benkolo. Okubehlusayo ukuthi bayakwazi ukuzuza ukuphumelela, futhi yilokhu okubehlusa kwabangakholwayo.

3 Ukujikeleza kwempilo Yokuphila Nokufa Kwabantu Abalandela uNkulunkulu

Okulandelayo, masikhulume ngokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa kwalabo abalandela uNkulunkulu. Lokhu kuthinta nina, ngakho lalelani. Okokuqala, cabangani ngezigaba abantu abalandela uNkulunkulu esingabehlukanisa ngazo. (Abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu nabenzi bomsebenzi.) Zimbili: kunabakhethwa nguNkulunkulu kanye nezisebenzi Zakhe. Okokuqala sizokhuluma ngabakhethwa nguNkulunkulu, abambalwa-ke nokho. Kusho ukuthini ukuthi “abakhethwa nguNkulunkulu”? emva kokuthi uNkulunkulu edale zonke izinto kwabe sekuba nesintu, uNkulunkulu wakhetha iqeqebana labantu abamlandela, futhi babizwa kalula nje ngokuthi “ngabantu abakhethwe nguNkulunkulu.” Kunokuhlola kanye nokubaluleka endleleni uNkulunkulu akhetha ngayo laba bantu. Ukuhlola ukuthi sonke isikhathi uNkulunkulu enza umsebenzi obalulekile kumele beze—okuba yinto yokuqala ezintweni ezibenza babe ngabakhethekile. Kuyini ukubaluleka kwabo? Ukukhethwa kwabo nguNkulunkulu kusho ukuthi babaluleke kakhulu. Okuchaza ukuthi, uNkulunkulu ufisa ukubaphelelisa laba bantu, abenze bagcwaliseke, emva kokuphetha umsebenzi Wakhe wokuphatha, uzobazuza laba bantu. Akukukhulu lokhu kubaluleka? Ngalokho, laba bantu abakhethiwe bangababalulekile kakhulu kuNkulunkulu, ngokuba bayilabo uNkulunkulu afuna ukubazuza. Kanti izisebenzi Zakhe—khona-ke, masithi ukusuka ekumiselweni kusengaphambili kukaNkulunkulu, siqale ngokukhuluma ngemvelaphi. Incazelo esobala “yezisebenzi” isho lowo osebenzayo. Labo abasebenzayo bangabesikhashana; abakwenzi lokhu isikhathi eside, noma okokuphela, kodwa baqashwa noma batholwe okwesikhashana. Abaningi babo bakhethwa kulabo abangakholwayo. Uma befika emhlabeni kuba yisikhathi bekhonjwa njengabazothatha indima yokuba yizisebenzi emsebenzi kaNkulunkulu. Kungaba ukuthi bebekade beyizilwane empilweni yabo edlule, kodwa kungenzeka ukuthi bebekade bengabanye balabo abangakholwayo. Bavela lapho abasebenzela uNkulunkulu.

Make sibuyele kwabakhethwa nguNkulunkulu. Uma befa, abakhethwa nguNkulunkulu baya endaweni ehlukile kunaleyo okuya kuyo abangakholwayo kanye nabanye benkolo. Yindawo abaphelekezelwa kuyo yizingelosi kanye nezithunywa zikaNkulunkulu, futhi elawulwa nguNkulunkulu ngoKwakhe. Nakuba, bekule ndawo, abakhethwa nguNkulunkulu abakwazi ukubheka uNkulunkulu ngamehlo abo, akufani nakwezinye izindawo emhlabeni kamoya; yindawo lapho le ngxenye yabantu iya khona emva kokufa. Uma befa, nabo bayahlolwa kabanzi yizithunywa zikaNkulunkulu. Yini ehlolwayo? Izithunywa zikaNkulunkulu ziphenya izindlela ezathathwa yilaba bantu empilweni yabo yonke yokukholwa kuNkulunkulu, noma ngabe, ngesikhathi sabo, bamphikisile uNkulunkulu, noma bamqalekisile, noma benze izono ezimbi nobubi noma cha. Lokhu kuhlolwa kubheka uhlangothi lokuthi laba bantu bayahamba noma bayahlala yini. Kusho ukuthini ukuthi “bayahamba”? Futhi kusho ukuthini ukuthi “bayahlala”? “Ukuhamba” kusho ukuthi, ngokokuziphatha kwabo, bahlala ezikhundleni zalabo abakhethwe nguNkulunkulu. “Ukuhlala” kusho ukuthi bangahlala nabantu abapheleliswe nguNkulunkulu ngesikhathi sezinsuku zokugcina. Kulabo abahlalayo, uNkulunkulu unezinhlelo ezikhethekile. Ngesikhathi ngasinye somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu uzothumela labo bantu ukuthi babe ngabafundi noma benze umsebenzi wokuvuselela amasonto, noma bawanakekele. Kodwa abantu abakwazi ukwenza lowo msebenzi ababuyiselwa enyameni kaningi njengabangakholwayo, abaphinda bazalwe njalo-njalo; esikhundleni salokho, babuyiselwa emhlabeni ngokwezidingo kanye nezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, kanti ababona abanye balabo ababuyiselwa njalo enyameni. Ngabe ngalokho ikhona yini imithetho ebhekele ukuthi uma sebebuyiseliwe enyameni? Ngabe bafika kanye eminyakeni embalwa? Ngabe beza kaningi kanjalo? Akunjalo. Lokhu kuncike emsebenzini kaNkulunkulu, ezinyathelweni zomsebenzi Wakhe, nasezidingweni Zakhe, futhi akukho mithetho. Umthetho okungukuphela kwawo ngukuthi uma uNkulunkulu enza isinyathelo sokugcina somsebenzi Wakhe ezinsukwini zokugcina, abantu Bakhe abakhethiweyo laba bazokuza. Uma befika bonke, kuzoba yisikhathi sokugcina lesi sokuthi babuyiselwe enyameni. Kungani kunjalo? Lokhu kuncike emiphumeleni ezotholakala ngesikhathi uNkulunkulu enza isinyathelo sokugcina somsebenzi Wakhe—ngokuthi ngalesi sikhathi sesinyathelo sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu uzobaphelelisa ngokugcwele laba bantu abakhethiweyo. Kusho ukuthini lokhu? Uma, ngesikhathi sesinyathelo sokugcina, bepheleliswa laba bantu, futhi benziwa abangenasici, ngeke ngaleso sikhathi babuyiselwe enyameni njengakuqala; isikhathi sabo sokuba ngabantu sizofika ekuphelelisweni kokugcina, njengoba kuzokwenzeka ekubuyiselweni enyameni. Lokhu kukhuluma ngalabo abazosala. Bayaphi-ke labo abangakwazi ukuhlala? Labo abangakwazi ukuhlala banendawo efanele abaya kuyo. Okokuqala, njengomphumela wokwenza kwabo okubi, amaphutha abawenzile, kanye nezono abazenzile, nabo futhi bayajeziswa. Emva kokujeziswa, uNkulunkulu uzobalungisela ukuthi babe nabangakholwayo, kungenjalo babe nabantu abehlukahlukene benkolo, njengokufaneleka kwezimo. Okusho ukuthi, zimbili izimo ezingenzeka kubo: Okokuqala ukuthi, emva kokujeziswa, mhlawumbe bahlale nabantu benkolo ethile emva kokuvukela kwesinye isimo, okunye kube ukuba ngabangakholwa. Uma beba ngabangakholwa, bazowalahla wonke amathuba. Kanti uma beba ngabantu benkolo—uma, isibonelo nje, beba ngamaKrestu—basenethuba lokubuyela ezikhundleni zokuba ngabakhethwa nguNkulunkulu; kuhlobene ngendlela eyinxakanxaka lokhu. Kafushane nje, uma oyedwa wabakhethwa nguNkulunkulu edelela uNkulunkulu, uzojeza njengawo wonke omunye umuntu. Bheka uPawulu, njengesibonelo, okukhulunyiwe ngaye ekuqaleni. UPawulu uyisibonelo salabo abajeziswayo. Niyawuthola kodwa umqondo walokhu engikhuluma ngakho? Ngabe ukuhlola abakhethwa nguNkulunkulu kuyalungiseka? (Yebo kabanzana.) Ingxenye enkulu iyalungiseka, kodwa ingxenye encane ayilungiseki. Kungani kunjalo? Lapha, ngibhekise esizathwini esisobala: ukwenza okubi. Uma benza okubi, uNkulunkulu akabafuni, kanti uma uNkulunkulu engabafuni, ubaphonsa ezinhlangeni nezinhlobo ezahlukahlukene zabantu, okubashiya bengenathemba, kuphinde kwenze kube lukhuni ukubuya. Konke lokhu yizinto zokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabakhethwa nguNkulunkulu.

Okulandelayo ukujikeleza kwempilo yokufa nokuphila kwezisebenzi. Siqeda kukhuluma ngokuqala kwezisebenzi, okungukuthi, zabuyiselwa enyameni kade zingabangakholwayo futhi ziyizilwane empilweni yazo yangaphambili. Ukufika kwesinyathelo sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhethe kwabangakholwayo iqeqebana labantu abanjalo, kanti yiqeqebana elikhethekile. Inhloso kaNkulunkulu yokukhetha abantu abanje ukuthi benze umsebenzi Wakhe. “Umsebenzi” akulona igama elihle nelizwakalayo, noma into noma ngubani angangena alingane kahle kuyo, kodwa kumele sibheke ukuthi libhekiswe kubani. Kunokubaluleka okukhethekile ebukhoneni bezisebenzi zikaNkulunkulu. Akekho omunye ongenza umsebenzi wazo, ngoba zakhethwa nguNkulunkulu. Futhi liyini iqhaza elibanjwa yilezi zisebenzi? Ukusebenzela abakhethwa nguNkulunkulu. Ikakhulu, iqhaza lazo ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, ukubambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nokubambisana ekupheleliseni kukaNkulunkulu abakhethwa Bakhe. Ngaphandle kokuthi bayasebenza, benza umsebenzi othile, noma banikwe okuthile kokwenziwa, siyini isidingo sikaNkulunkulu kulaba bantu? Ngabe uNkulunkulu ufuna okungaphezu kokwenza kubo? (Cha, uNkulunkulu ucela kuphela ukuthi bethembeke.) Izisebenzi kumele zethembeke. Kungakhathaleki ukuthi imvelaphi yakho iyiphi, noma kungani uNkulunkulu ekhethe wena, kumele wethembeke kuNkulunkulu, kulokho uNkulunkulu akwethwese khona, nasemsebenzini osemahlombe akho kulokho obekelwe ukuthi ukwenze. Uma izisebenzi zikwazi ukwethembeka, zimenelisa uNkulunkulu, isiphelo sazo sizoba yini? Zizokwazi ukusala. Ngabe kuyisibusiso ukuba yisisebenzi esisalayo? Kusho ukuthini ukusala? Sisho ukuthini lesi sibusiso? Ngokwezinga, zibukeka zingafani nabakhethwa nguNkulunkulu, zibukeka zehlukile. Eqinisweni, nokho, ngabe lokho ezikuzuza zikujabulele kule mpilo akufani nokwabakhethwa nguNkulunkulu? Ezingeni eliphansi kulokhu, kule mpilo kuyafana. Anikuphiki lokhu, yebo? Amazwi kaNkulunkulu, umhawu kaNkulunkulu, ukuhlinzekela kukaNkulunkulu, izibusiso zikaNkulunkulu—ngubani ongekujabulele lokhu? Wonke umuntu uyayijabulela inala engaka. Okuchaza kabanzi isisebenzi ukuthi yisisebenzi, kodwa kuNkulunkulu, bonke abayizisebenzi bangenye yezinto azidalile—ukuthi nje iqhaza lazo ngelokuthi yizisebenzi. Njengesinye sezidalwa zikaNkulunkulu, ukhona umahluko phakathi kwesisebenzi sikaNkulunkulu nokhethwe nguNkulunkulu? Ngokucacile, awukho. Uma sikhuluma ngegama, kunomahluko, ngokwengqikithi futhi ukhona impela umahluko, eqhazeni elibanjwayo ukhona umahluko, kodwa uNkulunkulu akabehlukanisi laba bantu. Kungani pho laba bantu bechazwa njengezisebenzi? Kumele niqonde lokhu. Izisebenzi ziphuma kwabangakholwayo. Ukuphathwa kwegama elithi abangakholwayo kusitshela ukuthi imuva labo libi: Bonke bangabangakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, empilweni yabo edlule bebengabangakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, abakholwanga kuNkulunkulu, bamelene noNkulunkulu, neqiniso, kanye nezinto ezamukelekayo. Abakholwanga kuNkulunkulu futhi abakholwanga ukuthi ukhona uNkulunkulu, ngakho-ke ngabe bamelwe ukukwazi ukuqonda amazwi kaNkulunkulu? Kuyemukeleka ukusho ukuthi, ngokwezinga elikhulu, abaqondi. Njengoba izilwane zingawaqondi amazwi omuntu, izisebenzi aziqondi ukuthi uNkulunkulu uthini, udingani, kungani akha izidingo ezinjengalezo—abaqondi, lezo zinto aziqondakali ezisebenzini, zihlezi zingakhanyiselekile. Ngalesi sizathu, laba bantu abanalo uhlobo lwempilo esesikhulume ngalo. Ngaphandle kwempilo, bangaliqonda abantu iqiniso? Kungabe bahlomile ngeqiniso? Kungabe bahlomile ngamava kanye nolwazi lwamazwi kaNkulunkulu? (Cha.) Injalo imvelaphi yezisebenzi. Kodwa ngoba uNkulunkulu wenza laba bantu babe yizisebenzi, kusekhona imigomo ezidingweni Zakhe ngabo; akababukeli phansi, akabi ngongabacabangeli. Nakuba bengawaqondi amazwi Akhe, bengenayo nempilo futhi, uNkulunkulu usenawo umusa kubo, isekhona nemigomo yezidingo Zakhe kubo. Nikhulume ngale migomo: Ukwethembeka kuNkulunkulu, kanye nokwenza lokho akushoyo. Emsebenzini wakho kumele usebenze lapho kudingeka khona, futhi usebenze kuze kube sekugcineni. Uma ungaba yisisebenzi esethembekile, ukwazi ukusebenza kuze kube sekugcineni futhi ugcwalise umsebenzi owethweswe nguNkulunkulu, kusho ukuthi uzophila impilo ebalulekile, futhi uzokwazi ukusala. Uma uthi ukwengeza kancane ngaphezulu kwalokho okwenzayo, uma uzama kakhudlwana, ukwazi ukuphinda kabili okwenzayo ukuze umazi uNkulunkulu, ukwazi ukukhuluma kancane ngolwazi lukaNkulunkulu, ukwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, kuthi nangaphezulu, ukwazi ukuqonda okuthile okuyintando kaNkulunkulu, ubambisana emsebenzini kaNkulunkulu, ubhekisisa ngandlela thile intando kaNkulunkulu, wena lapho, njengesisebenzi, izoguquka inhlanhla yakho. Luyini lolo shintsho enhlanhleni yakho? Awuzusala nje kuphela. Ngokokuziphatha kwakho kanye nentshisekelo yakho ukulandela lokhu, uNkulunkulu uzokwenza omunye wabakhethwa Bakhe. Lokhu yikho okuzoba wushintsho enhlanhleni yakho. Ezisebenzini, yini enhle ngalokhu? Ukuthi zizoba ngabanye babakhethwa nguNkulunkulu. Uma beba ngabakhethwa nguNkulunkulu, kusho ukuthi abuyiselwa enyameni njengezilwane bafane nabangakholwayo. Ngabe kuhle lokho? Kuhle, futhi kuyizindaba ezimnandi. Okusho ukuthi, izisebenzi sezingakwazi ukulungiseka. Akusho ukuthi njengesisebenzi, uma uNkulunkulu emnika umthwalo wokuba yisisebenzi, uzowenza okokuphela; akunasidingo esinjalo. Ngokokuziphatha kwakhe, uNkulunkulu uzomphatha ngendlela ehlukile, futhi amphendule ngokuhlukile.

Kodwa zikhona izisebenzi ezingakwazi ukusebenza kuze kube sekugcineni; ngesikhathi zisebenza, kukhona eziphela amandla phakathi nesikhathi zimshiye uNkulunkulu, kukhona ezenza izinto ezimbi eziningi, kube khona nalezo ezenza umonakalo omkhulu kakhulu ziwenze umonakalo omkhulu nasemsebenzini kaNkulunkulu, kukhona nezisebenzi ezimqalekisayo uNkulunkulu, njalo-njalo—isho ukuthini le miphumela engalungiseki? Noma yisiphi isenzo esibi sisho ukumiswa emsebenzini. Ngoba ukuziphatha kwakho ngesikhathi somsebenzi kube kubi ngokwedlulele, ngoba udlulile lapho kufanele khona, uma uNkulunkulu ebona ukuthi umsebenzi wakho awanelisi uyasisusa kuwe isidingo sokuthi usebenze, akakuvumeli ukuthi usebenze, uyakususa emehlweni Akhe, nasendlini kaNkulunkulu. Akukhona ukuthi awufuni ukusebenza? Awufisi njalo-njalo ukwenza okubi? Awuyena ongethembekile njalo? Lapho-ke, kunesixazululo esilula: Uzothathelwa ukufaneleka kokusebenza. NgokukaNkulunkulu, ukuthatha Kwakhe esisebenzini ukufaneleka kokusebenza kwaso kusho ukuthi isiphelo saleso sisebenzi sesinqunyiwe, futhi bayobe bengasafanele ukusebenzela uNkulunkulu, uNkulunkulu akasenaso isidingo somsebenzi waso, noma singakhuluma amazwi amahle kangakanani awasasho lutho. Uma izinto sezifika kuleli zinga, lesi simo sizoba ngesingalungiseki; izisebenzi ezifana nalesi azinakho ukubuyela emuva. UNkulunkulu ululungisa kanjani udaba olunjengalolu ezisebenzini ezinjengalesi? Kungabe uvele azimise nje emsebenzini? Cha. Kungabe uyazivimba zingasali? Noma mhlawumbe uzibeka eceleni, ame elinde ukuthi ziguquke? Akakwenzi lokho. UNkulunkulu akazithandi kangako izisebenzi, ngokweqiniso. Uma umuntu eziphethe ngale ndlela emsebenzini kaNkulunkulu, uNkulunkulu, ngesizathu salokhu kuziphatha, uzemuka ukufaneleka ukusebenza, aphinde futhi aziphonse emuva kwabangakholwayo. Siyini isiphetho somuntu oyisisebenzi ophindiselwe emuva kwabangakholwayo? Siyafana nesalabo abangakholwayo: kuba ukubuyiselwa enyameni abe yisilwane athole isijeziso sabangakholwayo emhlabeni kamoya. Kanti uNkulunkulu akazibandakanyi Yena Uqobo ekujezisweni kwabo, ngoba abasawulungele umsebenzi kaNkulunkulu. Akubi ukuphela kwesiphetho sempilo yabo yokukholwa kuNkulunkulu, kodwa isigcino sesiphetho sabo, ukunqunywa kwesiphetho sabo. Ngakho uma izisebenzi sizebenza kabi, ziyothwala imiphumela ngokwazo. Uma isisebenzi singakwazi ukusebena kuze kube sekugcineni, noma sephucwa ukufaneleka kokusebenza phakathi nesikhathi, siphonswa kwabangakholwayo—kuthi uma siphonswa kwabangakholwayo siphathwe ngendlela efanayo nokuphathwa ngayo imfuyo, ngendlela efanayo nokuphathwa ngayo abantu abangenakho ukuhlakanipha nokucabanga. Uma ngiyibeka kanje uyaqonda, yebo?

Okungenhla yindlela uNkulunkulu aphatha ngayo ukujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabakhethwa Nguye kanye nezisebenzi Zakhe. Uzizwa kanjani emva kokuzwa lokhu? Ngake ngakhuluma ngalesi sihloko engikhulume ngaso, isihloko sabakhethwa nguNkulunkulu kanye nezisebenzi? Ngike ngakhuluma ngaso, kodwa anisakhumbuli. UNkulunkulu ulungile kwabakhethwa Nguye kanye nasezisebenzini. Ulungile kukho konke, angithi? Kukhona noma kuphi lapho uthola khona iphutha? Bakhona yini abantu abazothi: “Kungani uNkulunkulu ebabekezelela kangaka abakhethwa? Yini ebekezela kancane uma kuza ezisebenzini?” Ukhona umuntu ofuna ukuzisukumela izisebenzi? “Angekwenze uNkulunkulu ukuthi azelulele isikhathi izisebenzi, athi ukuzibekezelela azimele?” Ngabe afanelekile la mazwi? (Cha, akunjalo.) Kungani engafanelekile? (Kungoba sikhonjiswe ukuthandwa ngokuthi nje siphiwe ithuba lokuba yizisebenzi.) Izisebenzi zikhonjiswe ukuthandwa ngokuthi nje ziphiwe ithuba lokuba yizisebenzi! Ngaphandle kwegama elithi “izisebenzi,” nangaphandle komsebenzi wezisebenzi, bezizoba kuphi lezi zisebenzi? Kulabo abangakholwayo, ziphila futhi zifa kanye nemfuyo. Mkhulu umhawu abawujabulela namuhla, ukuvunyelwa ukuba phambi kukaNkulunkulu, kanye nokuba sendlini kaNkulunkulu! Umhawu omkhulu lona! Uma uNkulunkulu ubengakunikanga ithuba lokumsebenzela, bewungeke ulithole ithuba lokuza phambi kukaNkulunkulu. Ukuphawula nje kancane, noma ngabe ungumBuddha futhi usuthole ukuphumelela, ngaphezu kwalokho uyisithunywa emhlabeni kamoya; awusoze uhlangane noNkulunkulu, noma uzwe izwi Lakhe, noma uzwe amazwi Akhe, noma uzwe izibusiso nothando Lwakhe kuwe, ngeke futhi ukwazi nangelinye ilanga ukumbona ubuso nobuso. KumaBuddha kukhona kuphela imisebenzi elula. Awakwazi ukwazi uNkulunkulu, anamathela njengabangaboni agcine imiyalelo, kanti izisebenzi zizuza okuningi kabi ngesikhathi somsebenzi! Okokuqala, zikwazi ukubonana ubuso nobuso noNkulunkulu, ukuzwa izwi Lakhe, ukuzwa amazwi Akhe, ukuhlangabezana nomhawu kanye nezibusiso Zakhe azinika abantu. Ngaphezu kwalokho, zijabulela amazwi namaqiniso eziwanikwa nguNkulunkulu. Abenzi bomsebenzi bazuza okukhulu ngempela! Ngakho, uma, njengesisebenzi, ungakwazi ukuthatha isinyathelo esifanele, uNkulunkulu angakugcina? Akakwazi ukukugcina. Akaceli okungakanani kuwe, kodwa akukho akucelayo okwenza ngendlela eyiyo, awunamathelanga emsebenzini wakho—ngakho-ke, ngaphandle kokungabaza, uNkulunkulu akakwazi ukukugcina. Lokhu kuwukuziphatha kukaNkulunkulu okunokulunga. UNkulunkulu akakuvikeli ngokweqile, futhi akakukhiphi inyumbazana. Lokhu kuyimigomo enza ngayo izinto uNkulunkulu. UNkulunkulu wenza kanje kubantu bonke nezidalwa zonke.

Ukubhekisa emhlabeni kamoya, uma abehlukahlukene kwabaphilayo benza okungafanele, uma bengawenzi umsebenzi wabo ngendlela eyiyo, uNkulunkulu unayo imithetho ehambisana nalokho emithethweni yasezulwini enemiyalelo alungisa ngayo—kuliqiniso lokhu. Ngakho esikhathini esiyiminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa yokuphatha kukaNkulunkulu imisebenzi Yakhe, ezinye izithunywa Zakhe zenze izinto ezingafanele yanqanyulwa impilo yazo, ezinye, namuhla, zisabanjwa zijeziswe. Lokhu kufanele babhekane nakho bonke abantu emhlabeni kamoya. Uma benza okungafanele noma benza okubi, bayajeziswa—okufanayo nendlela ayisebenzisa ngokuphelele uNkulunkulu kubantu abakhethwa Nguye kanye nasezisebenzini. Ngakho, noma ngabe kusemhlabeni kamoya noma emhlabeni wezinto ezibambekayo, imigomo elandelwa nguNkulunkulu ayiguquki. Noma uyazibona izenzo zikaNkulunkulu noma cha, imigomo kayiguquki. Zikhathi zonke, uNkulunkulu ulokhu egcine imigomo efanayo yezinto zonke kanye nasekwenzeni Kwakhe izinto. Lokhu akunakucelwa inselele. UNkulunkulu uyoba nomusa kulabo abangakholwayo abaphila ngendlela eyamukelekayo, bese egcinela amathuba labo abasenkolweni abaziphethe kahle nabangenzi ububi, ebavumela ukuthi babambe iqhaza ezintweni zonke ezilawulwa nguNkulunkulu, benze lokho abamiselwe ukuthi bakwenze. Ngokufanayo, kulabo abalandela uNkulunkulu, phakathi kwabakhethwa Nguye, uNkulunkulu akabakhiphi inyumbazana ngokwemigomo Yakhe. Unomusa kubo bonke abamlandela ngokuyiqiniso, uthanda bonke abamlandela ngokuyiqiniso. Kuphela nje kulezi zinhlobo eziningi zabantu - abangakholwayo, abaningi kwabenkolo, kanye nabakhethwa nguNkulunkulu—akwethwesa bona kwehlukile. Bheka abangakholwayo: Nakuba bengakholwa uNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ubabona benjengemfuyo, kuzo zonke izinto bona ngamunye banokudla abakudlayo, indawo yabo, kanye nokujikeleza okujwayelekile kwempilo yokuphila nokufa. Labo abenza okubi bayajeziswa, kuthi labo abenza okuhle babusiswe futhi bathole umusa kaNkulunkulu. Akunjalo na? Kubantu benkolo, uma bekwazi ukunamathela ngokuqinisileyo emithethweni yenkolo ukuphinda bazalwe baphinde bazalwe, emva kwakho konke lokhu kuphinda bazalwe okuningi uNkulunkulu uzophetha ngokumemezela okuthile kubo. Ngokufanayo, kinina namuhla, noma ningaba ngabanye babakhethwa nguNkulunkulu noma izisebenzi, uNkulunkulu uzobaqondisa abheke isiphelo senu ngokwemithetho nemiyalelo yokulawula Kwakhe ayibekileyo. Kulezi zinhlobo eziningi zabantu—izinhlobo eziningi zabantu benkolo, nabasezinhlotsheni eziningi zokukholwa—kungabe uNkulunkulu ubaphile izindawo zokuhlala? Ikuphi inkolo yobuJuda? Ngabe uNkulunkulu uyiphazamisile inkolo yabo? UbuKrestu bona? Akabuphazamisanga nabo. Ubayekela ukuthi balandele ezabo izinqubo, akakhulumi nabo, noma abakhanyisele, futhi, ngaphezu kwalokho, akabavezeli lutho: “Uma ucabanga ukuthi kulungile, kholwa ngale Ndlela.” AmaKhatholika akholelwa kuMariya, nokuthi izindaba eziya kuJesu zidluliswa ngoMariya; lokhu kuyinkolo yabo. Ngabe uNkulunkulu uke wayilungisa inkolo yawo? UNkulunkulu uwaphe ukuzibusa okukhululekile, akawanaki, uwanike ngisho indawo yokuthi ahlale kuyo. Futhi kumaMuslim namaBuddha, kungabe unjalo nakuwo? Uwabekele imingcele, nawo, futhi awavumele ukuthi abe nezindawo zawo, ngaphandle kokuphazamisa enkolweni yawo. Konke kuhlelwe kahle. Yini oyibona kukho konke lokhu? Ukuthi uNkulunkulu ugajwa yigunya lokuphatha, kodwa akalisebenzisi ngeze igunya Lakhe. UNkulunkulu uhlela zonke izinto ngokuyikho, ngendlela eyiyo, kulokhu kubonakala ubuhlakani kanye nobukhulu Bakhe.

Namhlanje sikhulume ngesihloko esisha esikhethekile, esithinta izindaba zomhlaba kamoya, okuyingxenye eyodwa yokuphatha kukaNkulunkulu kanye nokubusa Kwakhe phezu komhlaba kamoya. Uma ningaziqondanga lezi zinto, ngabe nithe: “Zonke izinto ezibandakanya lokhu ziyimfihlakalo, azisondelene nokuqala kwethu impilo; lezi zinto kazihlangani nendlela abantu abaphila ngayo empeleni, futhi asidingi ukuziqonda, asifuni nokuzizwa. Azinalutho oluzihlanganisa nokwazi uNkulunkulu.” Manje, nicabanga ukuthi kunenkinga ukucabanga ngale ndlela? Kulungile? (Cha.) Ukucabanga kanje akulungile, kunezinkinga ezijulile. Kungoba, uma nifisa ukuqonda ukuthi UNkulunkulu ubusa kanjani phezu kwazo zonke izinto, aninakuqonda kalula nje izinto enizibonayo nenizizuzayo ngokucabanga kwenu. Kumele niqonde nezinye zomunye emhlabeni ongabonakali kini, kodwa oxhumene ngokungaphikiseki nalo mhlaba eniwubonayo. Lokhu kumayelana nobukhulu bukaNkulunkulu, kumayelana nesihloko esithi: “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto”; wulwazi olumayelana nalokho. Ngaphandle kwalolu lwazi, bekuyoba nezinkinga namaphutha olwazini lwabantu mayelana nokuthi UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto. Ngalokho, esikhulume ngakho namuhla kungashiwo ukuthi kuqoqa konke esikhulume ngakho ngaphambi kwalokhu, kanye nengqikithi ethi “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.” Uma sesikuqonda lokhu, niyakwazi manje ukumazi uNkulunkulu ngenxa yale ngqikithi? Futhi okubalulekile ukuthi namuhla, ngidlulise ulwazi olubaluleke kakhulu kinina oluphathelene nezisebenzi. Ngiyazi ukuthi niyathanda ukuzwa ngezihloko ezifana nalesi, ukuthi niyazikhathalela lezi zinto, ngakho nanelisiwe ngengikhulume ngakho namuhla? (Yebo, sanelisiwe.) Ningangazazi kahle ezinye izinto, kodwa ningaba nalo ulwazi ngokushiwo ngezisebenzi, ngokuthi lesi sihloko sithinta umphefumulo wawo wonke umuntu kini.

Izidingo ZikaNkulunkulu Esintwini

1. Ubunjalo Kanye Nesimo SikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe

Sesifike ekugcineni kwesihloko esithi “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto,” nesithi “UNkulunkulu Uqobo unguNkulunkulu Ohlukile.” Ngoba sesikwenzile lokho, sekudingeka senze isifinyezo. Luhlobo luni lwesifinyezo? Isifinyezo esimayelana noNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ngokuthi simayelana noNkulunkulu Uqobo Lwakhe, kuzofuneka sithinte yonke into ngoNkulunkulu, sihambisane nendlela abantu abakholwa ngayo nguNkulunkulu. Ngakho, okokuqala kufuneka nginibuze: Njengoba seniyizwile intshumayelo, ungubani uNkulunkulu ngokubona kwemiqondo yenu? (NguMdali.) UNkulunkulu ngokubona kwemiqondo yenu unguMdali. Kukhona okunye? UNkulunkulu uyiNkosi yezinto zonke. Ingabe la mazwi afanelele? (Afanele.) uNkulunkulu Nguye obuse phezu kwazo zonke izinto, futhi olawula zonke izinto. Wadala konke okukhona, uphinda abuse phezu kwakho konke okukhona ahlinzekele konke okukhona. Lesi yisimo sikaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu lobo. Ngoba zonke izinto kanye nakho konke okukhona, uNkulunkulu Nguye onguMdali, futhi Nguye uMbusi wazo zonke izinto. Lobo wubunjalo ayibo uNkulunkulu, futhi wehlukile kuzo zonke izinto. Asikho isidalwa sikaNkulunkulu—singaba kubantu, noma emhlabeni kamoya—esingasebenzisa noma ini ukuzenza noma ukuthatha indawo kaNkulunkulu nobunjalo kanye nesimo Sakhe, ngokuthi ukhona munye kuphela ezintweni zonke onobunjalo Bakhe, amandla, igunya, kanye nekhono lokubusa phezu kwazo zonke izinto: uNkulunkulu wethu Uqobo ohlukile. Uhlala aphinde ahambele zonke izinto; ukwazi ukukhuphukela ezindaweni eziphakeme, ngaphezu kwazo zonke izinto; ukwazi ukuzithoba ngokuthi abe ngumuntu, abe ngoyedwa wethu esisenyameni negazi, ahlangabezane nabantu ubuso nobuso ehlanganyela ubuhlungu nathi ebubula; ngasikhathi sinye, eyala konke okukhona, enquma isiphelo sakho konke okukhona, enika inkombandlela okumele kuyithathe; ngaphezu kwalokho, uhlahla indlela yesiphelo somuntu, nenkombandlela yomuntu. UNkulunkulu ofana nalona udinga ukudunyiswa, ukulalelwa, kanye nokwaziwa yikho konke okuphilayo. Ngakho, ngaphandle kokunaka ukuthi umuntu ukuliphi iqembu noma uhlobo, ukukholwa nguNkulunkulu, ukumlandela uNkulunkulu, ukumesaba uNkulunkulu, ukwamukela umthetho kukaNkulunkulu, nokwamukela izinhlelo zikaNkulunkulu ezithinta isiphelo sakho ukuphela kwento edinga ukukhethwa, ukukhetha okunesidingo, kunoma yimuphi umuntu, kunoma yini ephilayo. Ekubeni ngohlukile kukaNkulunkulu, abantu bayabona ukuthi igunya Lakhe, ukulunga nokuziphatha Kwakhe, ubuYena, kanye nendlela ahlinzekela ngayo ezintweni zonke kwehlukile; ukwehluka Kwakhe kuveza ubunjalo Bakhe obuyiqiniso Ngaye Uqobo, futhi kuveza isimo Sakhe. Ngakho, kuzo zonke izidalwa, uma abaphila emhlabeni kamoya noma esintwini bebefise ukuma esikhundleni sikaNkulunkulu, bekungeke kwenzeke, bekuyofana nokuzama ukuzenza uNkulunkulu. Yiqiniso leli. Yiziphi izidingo zomuntu ongokaMdali noMbusi ofana nalona, onobunjalo, amandla, nesimo sikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe? Kumele kucace lokhu kuwo wonke umuntu, futhi kumele kukhunjulwe yibo, futhi kubalulekile Kuye uNkulunkulu kanye nakumuntu!

2. Ukuhlukahlukana Kokuziphatha Kwesintu kuNkulunkulu

Indlela abantu abaziphatha ngayo kuNkulunkulu iyona enquma isiphelo sabo, futhi iyona enquma ukuthi uNkulunkulu kumele aziphathe aphinde abaphathe kanjani. Kulesi sikhathi ngizonikeza izibonelo ezimbalwa ukuthi abantu baziphatha kanjani kuNkulunkulu. Make sizwe ukuthi ukuziphatha nemikhuba okubhekiswa kuNkulunkulu kufanelekile yini noma cha. Make sibheke ukuziphatha kwalaba bantu abayisikhombisa abalandelayo:

1) Kunohlobo lomuntu okuziphatha kwakhe phambi kukaNkulunkulu kuyamangaza nje kakhulu. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyiBodhisattva noma ungumuntu ongcwele onobuhlakani bomuntu, udinga abantu bamkhothamele izikhathi ezintathu uma behlangana Naye bashise impepho emva kokudla. Ngalokho uma, ezinhliziyweni zabo, bebonga uNkulunkulu ngomhawu Wakhe, bebonga kuNkulunkulu, baba nesigubhugubhu ezinhliziyweni zabo. Bafisa ukuthi lo Nkulunkulu abamkhonza namuhla, njengongcwele abamfisayo ezinhliziyweni zabo, angamukela ukuziphatha kwabo Kuye ngoba bakhothama kathathu uma behlangana Naye, bashise nempepho uma beqeda ukudla.

2) Abanye abantu babona uNkulunkulu enjengomBuddha elikwazi ukususa konke okuphilayo ekuhluphekeni, elinokubasindisa; babona uNkulunkulu engumBuddha ophilayo okwazi ukubakhipha olwandle lwezinkathazo. Laba bantu ukukholwa kwabo kuNkulunkulu ukuba bamkhonze uNkulunkulu sengathi ungumBuddha. Nakuba bengashisi mpepho, ikowtow, noma banikele iminikelo, ezinhliziyweni zabo uNkulunkulu ungumBuddha onjalo nje, futhi ufuna babe nomusa baphe, bangabulali lutho oluphilayo, bangethuki abanye abantu, baphile impilo ebonakala inokwethembeka, bangenzi lutho olubi—kube yilezi zinto kuphela. Lona nguNkulunkulu osezinhliziyweni zabo.

3) Abanye abantu bakhonza uNkulunkulu njengomuntu omkhulu noma odumile. Isibonelo, noma ngandlelani lo muntu athanda ukukhuluma ngayo, noma yingaliphi izwi alikhulumayo, amagama olimi awasebenzisayo, izwi lakhe, iminyakazo yesandla, imibono kanye nezenzo zakhe, ukuqonda kwakhe—bayakubonela konke, kanti yizinto lezi okumele babe nazo ngenkathi behamba inkambo yokukholwa nguNkulunkulu.

4) Abanye abantu babona uNkulunkulu engumphathi omkhulu, bezwa sengathi ungaphezu kwakho konke okunye, akekho okwazi ukumedelela—uma bekwenzile lokho, bazojeziswa. Bakholwa yilo mphathi ngoba abaphathi banendawo ethile ezinhliziyweni zabo. Imicabango, indlela yokuziphatha, igunya kanye nobunjalo babaphathi—izinto abazithandayo kanye nempilo yabo nje—konke kuba yinto laba bantu okumele bayiqonde, izindaba abazikhathalelayo, ngakho bakhonza uNkulunkulu sengathi ungumphathi. Lokhu kukholwa kuyihlaya.

5) Abanye abantu banokukholwa okuthile ebukhoneni bukuNkulunkulu, okujulile nokunganyakaziseki. Kungoba ulwazi ngoNkulunkulu luncane kangangoba abanawo amava amazwi ngoNkulunkulu, bayamdumisa nje njengesithombe. Lesi sithombe nguNkulunkulu osezinhliziyweni zabo, yinto nje okumele bayesabe bayikhothamele, okumele bayilandele bayilingise. Babona uNkulunkulu eyisithombe, leso okumele basilandele impilo yabo yonke. Balingisa izwi akhuluma ngalo uNkulunkulu, ngaphandle balingisa labo abathandwa nguNkulunkulu. Bavame ukwenza izinto ezikhombisa ukungakhuli ngomqondo, eziyizo ngokuphelele, ezethembekile, kanti balandela lesi sithombe njengesiwumlingani noma wudobolwana abangasoze behlukana naye. Lokho yikhona kukholwa kwabo.

6) Kunalabo bantu, nakuba befunde okuningi ngoNkulunkulu namazwi aKhe bezwa ngezintshumayelo, abezwa ezinhliziyweni zabo ukuthi umthetho okungukuphela kwawo wokuziphatha kuNkulunkulu ukuthi kumele bamkholwe sengathi abaphilile futhi abacabangi, noma kumele bamdumise uNkulunkulu bamphakamise ngendlela engaphezu kokwenza. Bakholwa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu odinga ukuthi baziphathe ngendlela yokuthi, uma bengakwenzi lokho, noma kunini bangase bavuse ulaka Lwakhe khona noma bone Kuye, nokuthi imiphumela yokona kuyodingeka uNkulunkulu abajezise. Lowo nguNkulunkulu osezinhliziyweni zabo.

7) Bese kuba neningi labantu, abazitholela ukunethezeka komoya kuNkulunkulu. Kungoba baphila kulo mhlaba, abanakho ukuthula nenjabulo, abakutholi ndawo ukududuzeka. Emva kokuthola uNkulunkulu, uma sebebone baphinda bezwa amazwi Akhe, ezinhliziyweni zabo bajabulela ngasese bathakase. Lokhu kungenxa yokuthi bakholwa ukuthi ekugcineni sebethole indawo ezobanika injabulo, ukuthi ekugcineni bamtholile uNkulunkulu ozobapha ukuphumula emoyeni. Emva kokwamukela uNkulunkulu futhi baqala ukumlandela, bayajabula, impilo yabo iyapheleliseka, abasafani nabangakholwayo, abaphupha behamba empilweni njengezilwane, bezwa kukhona into abethembele kuyo empilweni. Ngalokho, bacabanga ukuthi lo Nkulunkulu wenelisa izidingo emoyeni wabo uletha futhi ukujabula okukhulu emqondweni nasemoyeni. Bengazelele, abakwazi ukushiya lo Nkulunkulu obapha ukuphumula emoyeni, obanika injabulo emoyeni wabo nasemndenini wonke. Bakholwa ukuthi ukukholwa uNkulunkulu akudingi okungaphezu kokuphumula emoyeni.

Ngabe ukuziphatha phambi kukaNkulunkulu kwalezi zinhlobo ezahlukahlukene zabantu ezishiwo ngenhla kukhona kinina? (Kukhona.) Uma, ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, kukhona onhliziyo yakhe inalokhu kuziphatha, bayakwazi ukuma ngeqiniso phambi kukaNkulunkulu? Uma kukhona onhliziyo yakhe inalokhu kuziphatha, bayakholwa kuNkulunkulu? Bayakholwa ukuba Kwakhe nguNkulunkulu ohlukile Uqobo Lwakhe? (Cha.) Njengoba ungakholwa kuNkulunkulu owehlukile Uqobo Lwakhe, ukholwa kubani? Uma lokho okholwa yikho kungeyena uNkulunkulu Uqobo owehlukile, kungenzeka ukuthi ukholwa yisithombe, noma yindoda enkulu, noma yiBodhisattva, ukuthi udumisa ubuBuddha enhliziyweni yakho. Ngale kwalokho, kungenzeka ukuthi ukholwa ngumuntu ojwayelekile nje. Uma sihlanganisa, ngenxa yokukholwa kwabantu okuhlukahlukene nokuziphatha kwabo phambi kukaNkulunkulu, abantu banoNkulunkulu wabo nje wokuzakhela ezinhliziyweni zabo, bakha isithombe emqondweni ngoNkulunkulu, babeka ukuziphatha nemicabango yabo ngoNkulunkulu ndawonye noNkunkulu Uqobo oyingqayizivele, bese, kamuva, bemphakamisa ukuthi angcweliswe. Kusho ukuthini uma abantu beba nokuziphatha okungafanele kanje phambi kukaNkulunkulu? Kusho ukuthi bayamphika uNkunkulu Uqobo weqiniso ukuba bakhonze uNkulunkulu wamanga, bese kusho ukuthi ngesikhathi esifanayo bakholwa kuNkulunkulu, baphika uNkulunkulu, bamelene Naye, bayakuphika ukuba khona kukaNkulunkulu weqiniso. Uma abantu bebambelela kulolo hlobo lokukholwa, izoba yini imiphumela yabo? Uma bekholwa kanjalo, kungabe bayasondela ekweneliseni izidingo zikaNkulunkulu? (Cha, abasondeli.) Ngasohlangothini oluphikayo, ngenxa yokuqubuka kwemicabango, abantu bazoqhela kakhulu kuNkulunkulu nezindlela Zakhe, ngoba indlela abayifunayo yileyo engayi lapho uNkulunkulu edinga ukuthi baye khona. Nike nayizwa indaba ethi “ukuya eningizimu ushayela inqola eya enyakatho”? Lokhu kungasho ukuhamba ngenqola eya enyakatho wena uya eningizimu. Uma abantu bekholwa uNkulunkulu ngendlela ewubulima kanjalo, kusho ukuthi noma ungazama kanzima kanjani, uzoqhela kakhulu kuNkulunkulu. Ngakho-ke nginexwayisa ngalokhu: Ngaphambi kokuthi niqhubeke, kumele niqale ngokuhlukanisa kuqala ukuthi nilandela inkombandlela efanele yini. Qondani ukuthi niya kuphi emizameni yenu ninodwa, qinisekani ukuthi niyazibuza ukuthi, “Ngabe uNkulunkulu engimkholwayo Nguye uMbusi phezu kwezinto zonke? Ngabe lo Nkulunkulu engimkholwayo ngumuntu onginika ukudla komoya nje kuphela? Ngabe uyisithombe sami? Ucelani lo Nkulunkulu kimi? Ngabe uNkulunkulu uyakwamukela konke engikwenzayo? Ngabe konke engikufunayo kungukufuna ukwazi uNkulunkulu? Ngabe kuhambisana nokudingwa nguNkulunkulu kimi? Ngabe indlela engiyihambayo uyayibona futhi uyayamukela uNkulunkulu? Ngabe uNkulunkulu wanelisiwe ukukholwa kwami?” Kumele njalo uzibuze ngokuphindaphinda le mibuzo. Uma ufuna ukwazi uNkulunkulu, kumele ube nonembeza kanye nezinjongo ezicacile ngaphambi kokuthi ukwazi ukwanelisa uNkulunkulu.

Kungenzeka, ngokwemiphumela yokubekezela kwakhe, uNkulunkulu unokwamukela ngokukhononda nokho lokhu kuziphatha okungekuhle esengikhulume ngakho? Angahle akuncome yini uNkulunkulu ukuziphatha kwalaba bantu? (Cha.) Yiziphi izidingo zikaNkulunkulu kubantu kanye nakulabo abamlandelayo? Kuyacaca ukuthi udinga kuphi ukuziphatha kubantu? Sengisho okuningi, ngikhulumile kakhulu ngesihloko sikaNkunkulu Uqobo Lwakhe, kanye nangezenzo zikaNkulunkulu nokuthi unani futhi uyini. Niyazi manje ukuthi uNkulunkulu ufisa ukuzuzani kubantu? Uyazi ukuthi uNkulunkulu ufunani kuwe? Khulumani. Uma ulwazi lwenu oluvela kwenikwaziyo nezinto ezenzekile luseluncane noma lulula, ungasho okuthile ngolwazi lwala magama. Unakho okufinyeziwe okuwulwazi? UNkulunkulu ufunani kumuntu? (Ngenkathi sixoxa kaningi, uNkulunkulu ushilo ukuthi udinga simazi, sazi izenzo Zakhe, sazi ukuthi ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto, futhi sazi isikhundla Sakhe nobunjalo Bakhe.) Futhi yini umphumela wokucela kukaNkulunkulu ukuthi abantu bamazi? (Bayazi ukuthi uNkulunkulu unguMdali, nokuthi abantu bayizidalwa eziphilayo.) Uma bethola lolo lwazi, luba yini uguquko ekuziphatheni kwabantu phambi kukaNkulunkulu, ekwenzeni kwabo umsebenzi, noma isimo empilweni yabo? Nike nakucabanga lokhu? Kungashiwo ukuthi, emva kokumazi uNkulunkulu, nokumqonda, baba ngabantu abalungile? (Ukukholwa uNkulunkulu akukhona ukufuna ukuba ngumuntu omuhle. Kunalokho, ukufuna ukuba isidalwa zikaNkulunkulu esisezingeni elifanele, nokuba ngumuntu othembekile.) Ngabe kukhona okunye? (Emva kokumazi ngeqiniso kanye nangokufanele uNkulunkulu, siyakwazi ukuziphatha phambi kukaNkulunkulu njengoNkulunkulu, siyazi ukuthi uNkulunkulu uhlala enguNkulunkulu, ukuthi siyizidalwa eziphilayo, kumele sikhonze uNkulunkulu, bese sima endaweni efanele.) Kuhle kakhulu! Masizwe kwabanye. (Siyamazi uNkulunkulu, ekugcineni siyakwazi ukuba ngabantu abagcina imiyalelo kaNkulunkulu, simdumise uNkulunkulu, futhi siphebeze ububi.) Kunjalo!

3. Ukuziphatha Okudingwa uNkulunkulu Isintu Okumele sibe nakho Kuye

Eqinisweni, uNkulunkulu akagcinezeli muntu ngakufunayo kuye—okungenani, akagcinezeli abantu ngendlela abaningi abayicabangayo. Ukuba uNkulunkulu akakhulumanga mazwi, ukuba akavezanga isimo Sakhe, noma yiziphi izenzo, kusho ukuthi ukwazi uNkulunkulu bekungaba lukhuni kakhulu kini, ngoba abantu bekungadingeka bacabangele nje inhloso kaNkulunkulu nentando bukaNkulunkulu kanye nezinjongo Yakhe, okulukhuni kakhulu kubo. Kodwa esinyathelweni sokugcina somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu ukhulume ngamazwi amaningi, wenza umsebenzi omkhulu, wenza izidingo eziningi enzela umuntu. Emazwini Akhe, nasemsebenzini Wakhe omkhulu, usebazisile abantu ukuthi uthandani, akuzondayo, nokuthi bamelwe ukuba ngabantu abanjani. Emva kokuqonda lezi zinto, ezinhliziyweni zabo abantu bekumele babe nencazelo enembayo yezidingo zikaNkulunkulu, ngoba abakholelwa kuNkulunkulu phezu kokungacaci nokuba kude naye, abasakholelwa kuNkulunkulu ongacacile, noma ukulandela uNkulunkulu kokungacaci nokuba kude, nobuze; esikhundleni salokho, abantu bayakwazi ukuzwa amazwi kaNkulunkulu, bayakwazi ukuqonda izimiso zezidingo Zakhe, bazifeze, bese uNkulunkulu esebenzisa ulimi lwesintu ukwazisa abantu ngakho konke okumele bakwazi futhi bakuqonde. Namuhla, uma abantu bangangazazi izidingo zikaNkulunkulu kubo, ukuthi uNkulunkulu uyini, kungani bekholwa kuNkulunkulu, nokuthi kumele bakholwe wuNkulunkulu baziphathe kahle phambi kwakhe, kulokhu kunenkinga. Manjena nje nina ngamunye nikhulume ngendawo eyodwa; kukhona izinto enizaziyo, noma ngabe zibaluliwe noma ngezijwayelekile—kodwa ngifisa ukunitshela okufanele, okuphelele, kanye nezidingo ezithile zikaNkulunkulu azidinga kumuntu. Ngamazwi nje ambalwa, alula kakhulu futhi. Kungenzeka ukuthi seniyawazi lawo mazwi. UNkulunkulu unezidingo ezifanelekile azilindele kumuntu kanye nakulabo abamlandelayo kanti yilezi. UNkulunkulu udinga izinto ezinhlanu kulabo abamlandelayo: ukukholwa okuliqiniso, ukumlandela ngokwethembeka, ukugcina imiyalelo Yakhe ngokuphelele, ulwazi oluyiqiniso, nokumdumisa okuphuma enhliziyweni.

Kulezi zinto ezinhlanu, okokuqala uNkulunkulu udinga ukuthi abantu bangabi nemibuzo Ngaye, noma bamlandele besebenzisa izithombe ezisemiqondweni yabo Ngaye noma ngendlela engacacile nekude; kumele bangamlandeli uNkulunkulu begcwele imifanekiso emiqondweni yabo noma benokucabangela. UNkulunkulu udinga ukuthi wonke umuntu kwabamlandelayo akwenze ngokwethembeka lokho, hhayi ngenhliziyo engaphelele noma ngokungazinikeli. Uma uNkulunkulu enza izidingo kuwe, ukukuhlola, ukukwahlulela, ekuhluba ekucwecwa, noma ekunika iziyalo nemivimbo, kumele umthobele. Akumele ubuze imbangela, noma uzakhele imibandela, ikakhulukazi yekela ukukhuluma ngezizathu. Ukugcina kwakho imiyalelo Yakhe kumele kube ngokumiyo. Ukwazi uNkulunkulu yiphuzu abantu abangebahle neze neze kulo. Bavame ukunika uNkulunkulu izisho, izinkulumo, amazwi angahambisani Naye, bekholwa ngukuthi lawo mazwi yiwo achaza ngokunembayo ulwazi lwabo ngoNkulunkulu. Ulwazi lwabo ngalezi zisho luncane kakhulu, izisho ezivela kubantu nemicabango yabo, nemifanekiso yemiqondo yabo, kanye nokuhlakanipha kwabo, azihlobani nhlobo notho uNkulunkulu ayilo. Ngakho, engifuna ukunitshela khona ukuthi, olwazini kubantu abafiswa wuNkulunkulu, uNkulunkulu akaceli ukuthi uvele umazi nje uNkulunkulu namazwi Akhe, kodwa kumele ulwazi lwakho lukaNkulunkulu lushaye emhlolweni. Noma ungakhuluma umusho owodwa, noma ube ngowazi okuncane ngoNkulunkulu, lokho okuncane makube ngokuyikho okuliqiniso futhi, kuhambisane notho uNkunkulu Uqobo Lwakhe ayilo. UNkulunkulu uyabazonda abantu abamncoma bamphakamise ngokungekhona nokungahloliwe. Ngaphezu kwalokho, uzonda ukubona abantu bemthatha njengomoya ovunguzayo. Uyakuzonda lokho, ukuthi uma kuxoxwa ngezihloko ezithinta uNkulunkulu, abantu bakhulume budlabha, bekhuluma ngokuzethemba nokungangabazi, besho ababona kufanele bakusho; phezu kwalokho, uzonda labo abakholwa ukuthi bayamazi uNkulunkulu, bebe beziqhenya ngokwazi kwabo uNkulunkulu, bexoxa ngezihloko ezithinta uNkulunkulu ngaphandle kokuvimbeleka noma ngokuhleleka. Okokugcina ezidingweni ezinhlanu ukumdumisa okuphuma enhliziyweni. Lokhu yisidingo esinqala sikaNkulunkulu esingesokugcina ezidingweni zalabo abamlandelayo. Uma umuntu enolwazi olunembayo noluyiqiniso ngoNkulunkulu, uyakwazi ukumdumisa ngokweqiniso uNkulunkulu avike ububi. Lokho kumdumisa kuvela ekujuleni kwenhliziyo, kunokulangazelela, akusho ukuthi uNkulunkulu umphoqile. UNkulunkulu akaceli ukuthi uze ukhiphe isipho sokuziphatha kahle, noma ukuzimisa, noma ukuzibonakalisa ingaphandle lakho ngaye; esikhundleni salokho, ucela ukuthi umdumise ngokumesaba kusuka ekujuleni kwenhliziyo yakho. Lokhu kumdumisa kuvela emiphumeleni yokuguquka kwesimo sempilo yakho, ngoba unolwazi ngoNkulunkulu, ngoba unokumqonda uNkulunkulu nezenzo Zakhe, ngoba umqonda uNkulunkulu nobuYena, nangoba umqonda wamukela ukwazi ukuthi wena ungomunye wezidalwa zikaNkulunkulu. Ngakho, inhloso yami ekusebenziseni amagama “ekujuleni kwenhliziyo” ukuchaza indlela yokudumisa kungoba ngifuna umuntu aqonde ukuthi ukudumisa kwabantu uNkulunkulu kumele kusuke ekujuleni kwezinhliziyo.

Zibhekisise manje lezi zidingo ezinhlanu: Bakhona lapha kinina abakwaziyo ukufinyelela kwezokuqala ezintathu? Ngalokhu ngiqonde ukumkholwa ngeqiniso, ukumlandela okunokwethembeka, nokugcina imiyalelo Yakhe ngokugcwele. Bakhona kini abakwazi ukukwenza konke lokhu? Ngiyazi ukuthi uma ngike ngathi kokuhlanu, kuzosho ukuthi akukho noyedwa wenu abangakwazi—kodwa nginehlisele ngabeka kokuthathu. Cabanga ukuthi nifinyelele yini kuzo zonke noma cha. Ngabe “ukukholwa ngeqiniso” kulula ukukwenza? (Cha, akulula.) Akulula, ngokuthi abantu banemibuzo ngoNkulunkulu. Futhi nithini “ngokulandela okunokwethembeka” Kubhekise kuphi lokhu ukuthi “okunokwethembeka”? (Usho ukungabi ngomlandela ngenhliziyo engaphelele kodwa ngayo yonke inhliziyo.) Hhayi ngenhliziyo engaphelele, kodwa ngayo yonke inhliziyo. Ushaye emhlolweni. Niyakwazi ngalokho ukufinyelela kulesi sidingo? Kumele nizame kakhudlwana, Angithi? Okwamanje kumele anikafinyeleli kulesi sidingo! Kusho ukuthini-ke ukuthi “ukugcina imiyalelo Yakhe ngokugcwele”—ufinyelele kulokho khona? (Cha.) Awukakafinyeleli kukho, nakho. Ucishe ube ngongagcini imiyalelo nhlobo, ungumhlubuki, awulaleli, noma usafisa ukugcina imiyalelo, noma usafuna ukuzwa. Lezi yizidingo ezibalulekile ezintathu ezidingeka kumuntu emva kokungena empilweni, kinina kusadingeka ukuthi niphumelele kuzo. Ngakho, okwamanje, nibona ninawo amandla okufinyelela kulokhu? Namuhla, lapho seningizwile ngisho la mazwi, ngabe nizizwa niba nexhala? (Yebo.) Kufanelekile ukuthi nizwe ninexhala—Ningabi nexhala. Ngizwa nginexhala egameni lenu. Ngeke ngisafika kulezi ezinye ezimbili izidingo; ngaphandle kokungabaza, akekho okwazi ukufinyelela kuzo. Ninexhala. Ngakho senizibhekile izinjongo zenu? Ziphi izinjongo, ezibheke kuphi, kumele nizibheke, nizinikele kuzo? Ninazo izinjongo? Ngicela ukukhuluma ngiqondise: Uma nifinyelele kulezi zidingo ezinhlanu, nizobe nimenelisile uNkulunkulu. Isidingo ngasinye siyinkomba, inkomba yabantu abangene empilweni baye bafinyelela ekukhuleni, nasesidingweni sokugcina salokhu. Noma ngingakhetha sibe sinye salezi zidingo ngakhuluma ngajula ngaso njengokuba siyisidingo kini, angeke kwaba lula ukufinyelela kuso; kumele nibekezelele ubunzima obuyisilinganiso esithile bese nifaka imizamo eyisilinganiso esithile. Luhlobo luni lokucabanga okumele nibe nalo? Kumele nibe njengesiguli esinomdlavuza ngenkathi silindele ukuyohlinzwa. Kungani ngisho kanje? Uma ufisa ukukholwa wuNkulunkulu, ufisa ukumzuza uNkulunkulu uthole ukwaneliswa Nguye, uma ungeke ubekezelele ubunzima obuyisilinganiso esithile ufake imizamo eyisilinganiso esithile, angeke ukwazi ukuzizuza lezi zinto. Seniyizwile intshumayelo eningi, kodwa ukuyizwa akusho ukuthi le ntshumayelo ngeyenu; kumele uyithathe uyiguqulele entweni ezoba ngeyakho, kumele uyifake empilweni yakho, uyilethe ebukhoneni bakho, uvumele la mazwi nentshumayelo ukuthi kuhlahle indlela ophila ngayo, wenze impilo yakho ibaluleke futhi ibe nokuqonda—uzobe sewuthola ukuthi kunomphumela omuhle ukulalela la mazwi. Uma amazwi engiwakhulume kuwe engalethanga nguquko empilweni yakho, noma ukubaluleka ebukhoneni bakho, asikho isidingo sokuthi uwalalele. Uyakuqonda lokhu, yebo? Uma uzwile, okusele ukuthi sekungawe. Wuqale umsebenzi! Kumele ube uthembeke kuzo zonke izinto! Ungabi nje ngumuntu ophakathi nendawo—isikhathi siyabaleka! Abaningi lapha kini sebebe ngabakholwayo iminyaka elishumi nangaphezulu. Ake niqalaze emuva kule minyaka elishumi; Nizuze kangakanani? Usalelwe iminyaka engamashumi amangaki? Akusona isikhathi eside leso. Khohlwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ukulindile noma cha, ukuthi ukushiyele ithuba noma cha, ukuthi uzophinda enze umsebenzi ofanayo noma cha. Uyakwazi ukubuyisela emuva iminyaka yakho elishumi edlule? Ngosuku ngalunye oludlulayo nesinyathelo esisodwa osithathayo, izinsuku onazo zifinyela ngosuku olulodwa ngesikhathi. Isikhathi asilindi muntu! Uzozuza ekukholweni nguNkulunkulu kuphela uma ukuthatha njengento ebaluleke kakhulu empilweni yakho, kube yinto ephambili ngaphezu kokudla, kwezingubo, nangaphezu kwakho konke okunye! Uma ukholwa ngoba unesikhathi kuphela, ungakwazi ukunikela ubuwena bonke ekukholweni kwakho, uma uhlale ubishe ekudidekeni, angeke uzuze lutho. Niyakuqonda lokhu, angithi? Sizophelela lapha namuhla. Ngizonibona ngesikhathi esizayo! (Sibonga uNkulunkulu!)

uNhlolanja 15, 2014

Okwedlule: UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp