Indlela Okufanele Uhambe Ngayo Ibanga Lokugcina Lendlela

Manje senisebangeni lokugcina lale ndlela, futhi liyingxenye ebalulekile yendlela. Kungenzeka ukuthi uye wakhuthazelela ukuhlupheka okukhulu, wenza umsebenzi omningi, wahamba emigwaqweni eminingi, futhi walalela izintshumayelo eziningi; mhlawumbe akuzange kube lula ukufika lapha. Uma ungeke ukwazi ukubekezelela ukuhlupheka obhekane nakho manje futhi uma uqhubeka ngendlela obuwenza ngayo esikhathini esidlule, khona-ke ngeke ukwazi ukupheleliswa. La mazwi akahlosiwe ukukwesabisa—ayiqiniso. Ngemva kokuba uPetru efeze umsebenzi othile kaNkulunkulu, wathola ukuqonda izinto ezithile futhi waba nokuqonda okukhulu. Waqonda izinto eziningi mayelana nezimiso zenkonzo, futhi kamuva wakwazi ukuzinikela ngokuphelele kulokho uJesu ayemphathise kona. Ukucwengisiswa okukhulu akuthola kwakungenxa yokuthi izinto eziningi azenza wayezwa sengathi ukweleta uNkulunkulu kakhulu futhi ngeke akwazi ukumbuyisela. UPetru futhi waqaphela ukuthi abantu bonakele kakhulu, ngakho wayelahlwa unembeza ezizwa enecala. UJesu wayesho izinto eziningi kuPetru, kodwa kuyilapho yena enokuqonda okuncane kakhulu ngaleso sikhathi, futhi ngezinye izikhathi waba nokungemukeli kanye nokuvukela. Ngemva kokubethelwa kukaJesu esiphambanweni, ekugcineni waphaphama ngezinga elithile, futhi waba nomuzwa wecala ngokwenzekile. Ekugcineni, kwafinyelela ezingeni lokuba angamukeli noma yimiphi imiqondo engalungile. Wayesazi kahle isimo sakhe, futhi ebazi kahle ubungcwele beNkosi. Ngenxa yalokho, inhliziyo ethanda iNkosi yakhula nakakhulu ngaphakathi kuye, futhi wagxila nakakhulu ekuphileni kwakhe. Ngenxa yalokhu wabhekana nobunzima obukhulu, futhi nakuba ngezinye izikhathi kwakubonakala sengathi unesifo esibucayi futhi kubukeka sengathi uzokufa, ngemva kokucwengisiswa ngale ndlela izikhathi eziningana, wakuqonda nakakhulu lokho ayikho, futhi kungale ndlela kuphela lapho aba nothando lwangempela lweNkosi. Kungashiwo ukuthi wachitha ukuphila kwakhe konke ecwengisiswa, okukhulu nakakhulu, esolwa. Okwenzeka kuye kwakuhlukile kokwabanye, futhi uthando lwakhe lwaluludlula kude le olwabanye ababengakapheleliswa. Okwamenza wakhethwa njengesibonelo ukuthi wabhekana nobuhlungu obukhulu kakhulu ekuphileni kwakhe futhi waphumelela kukho konke abhekana nakho. Uma nikwazi ngempela ukuhamba ibanga lokugcina lale ndlela njengoPetru, akukho nesisodwa isidalwa esingathatha izibusiso zenu.

UPetru wayeyindoda enonembeza, nakuba ngalolo hlobo lobuntu ayenalo, lapho eqala elandela uJesu, wayenemibono eminingi ngempela yokuphikisa nokuvukela. Kodwa lapho eselandela uJesu, akazange agxile kulezi zinto, wakholelwa ukuthi le indlela nje abantu okufanele babe yiyo. Ngakho, ekuqaleni akazange abe nomuzwa wokuzisola futhi akabhekananga nawo. UJesu akazange agxile kule ndlela ayesabela ngayo uPetru, futhi akabanga nandaba nayo, kodwa waqhubeka nje nomsebenzi okwakufanele awenze. Akamgxekanga uPetru nabanye. Ungase uthi: “Kungenzeka yini ukuthi uJesu wayengayazi le mibono ababenayo?” Akunjalo neze! Kungenxa yokuthi wayemqonda ngempela uPetru—ngempela, kungase kuthiwe wayemqonda kakhulu—kuthiwe uJesu akamthathelanga zinyathelo. Wayebazonda abantu kodwa ngesikhathi esifanayo ebadabukela. Abekho yini phakathi kwenu namuhla abantu abaphikisa njengoPawulu, futhi abanemibono eminingi njengoba uPetru ayenayo eNkosini uJesu ngalesiya sikhathi? Ngiyakutshela, kungcono ungawulaleli kakhulu umqondo wakho wesithathu, imizwa yakho ayithembekile futhi kudala yaphazanyiswa ngokuphelele ukonakala kukaSathane. Ingabe ucabanga ukuthi indlela ozizwa ngayo iphelele futhi ayinaphutha? UPawulu waphikisa iNkosi uJesu izikhathi eziningi kodwa uJesu akenzanga lutho ngokumelene naye. Ingabe kungenxa yokuthi uJesu wakwazi ukwelapha abagulayo nokuxosha amademoni, kodwa wehluleka ukukhipha “idemoni” kuPawulu? Kungani kwaze kwaba ngemva kokuvuswa kukaJesu nokwenyukela ezulwini, ngenkathi uPawulu eqhubeka nokufaka abafundi bakaJesu ejele ngaphandle kwesizathu, lapho uJesu aze wabonakala kuye endleleni eya eDamaseku wase emshaya ewa phansi? Kungenzeka yini ukuthi iNkosi uJesu yephuza kakhulu ukuthatha isinyathelo? Noma kungenzeka yini ukuthi wayengenalo igunya ngesikhathi esenyameni? Ingabe ucabanga ukuthi uma ubangela umonakalo futhi uphikisa ngokuyimfihlo ngemva Kwami, angikwazi lokho? Ingabe ucabanga ukuthi ukukhanyiselwa okuncane okuzuze kuMoya oNgcwele ungakusebenzisa ngokumelene Nami? Lapho uPetru engakavuthwa, waba nemibono eminingi ngoJesu, pho kungani engazange asolwe? Njengamanje, abantu abaningi benza izinto abangakutholi ukusolwa ngazo, ngisho noma betshelwa ukuthi ukwenza kanjalo akulungile, selokhu abalaleli. Ingabe lokho akubangelwa yini ngokuphelele ukuvukela kwabantu? Sengikhulume kakhulu manje, kodwa usantula ngisho nomqondo omncane kanembeza, ngakho uzokwazi kanjani ukuhamba ibanga lokugcina lale ndlela kuze kube sekugcineni? Awucabangi ukuthi lona umbuzo obaluleke kakhulu?

Ngemva kokunqotshwa kwabantu, babe sebekwazi ukulalela ukuqondisa kukaNkulunkulu; bayakwazi ukwethembela okholweni lwabo nasekuzimiseleni kwabo ukuthanda uNkulunkulu nokumlandela. Pho lingahanjwa kanjani ibanga lokugcina lale ndlela? Ngezinsuku obhekene ngazo nosizi kumelwe ukhuthazelele bonke ubunzima, futhi kumele ube nesifiso sokuhlupheka; kungale ndlela kuphela lapho uzokwazi ukuhamba leli banga lendlela ngokuphumelelayo. Ucabanga ukuthi kulula ukuhamba leli banga lendlela? Kufanele wazi ukuthi yini okumele uyenze; kumele nikhulise ukuqonda kwenu futhi nizihlomise ngeqiniso elanele. Lona akuwona umsebenzi wosuku noma wezinsuku ezimbili, futhi akulula ngendlela ocabanga ngayo! Ukuhamba ibanga lokugcina lale ndlela kuncike okholweni nasekuzimiseleni kwakho. Kungenzeka ukuthi awukwazi ukubona uMoya oNgcwele usebenza kuwe, noma kungenzeka awukwazi ukubona imisebenzi kaMoya oNgcwele ebandleni, ngakho ucabanga ngendlela engafanele futhi udumazekile kanti usuphelelwe yithemba ngohambo olusakuhlalele. Ngokukhethekile, amaqhawe aziwayo angesikhathi esidlule onke awasekho—akukumangazi konke lokhu? Kufanele uzibheke kanjani lezi zinto? Ingabe unokholo noma cha? Ingabe uwuqonda kahle umsebenzi wanamuhla, noma cha? Lezi zinto zinganquma ukuthi uzokwazi yini ukulihamba ngokuphumelelayo ibanga lokugcina lale ndlela.

Kungani manje kuthiwa nisebangeni lokugcina lale ndlela? Kungenxa yokuthi nikuqonde konke okufanele nikuqonde, futhi kungenxa yokuthi nginitshele konke abantu okufanele bakuthole. Ngiphinde nganitshela konke ngalokho eniphathiswe kona. Ngakho, manje senihamba engxenyeni yokugcina yendlela engihola ngayo abantu. Engikudingayo nje ukuba nikwazi ukuphila ngokuzimela; ukuthi noma kunini nikwazi ngaso sonke isikhathi ukuba nendlela eniyithathayo, nikhulise ukuqonda kwenu njengakuqala, nifunde amazwi kaNkulunkulu ngendlela efanele, futhi nibe nokuphila okufanele komuntu. Manje ngiyakuhola ukuze uphile ngale ndlela, kodwa esikhathini esizayo, lapho ngingakuholi, uzokwazi ukuqhubeka uphila ngale ndlela? Uzokwazi ukuqhubeka uhamba? Yikho lokhu uPetru ahlangabezana nakho: Lapho eholwa uJesu, wayengaqondi; ngaso sonke isikhathi wayenganaki njengengane, futhi wayengenandaba nezinto ayezenza. Kwaze kwaba yilapho uJesu esehambile lapho aqala khona ukuphila kwakhe njengomuntu ngendlela efanele. Ukuphila kwakhe kwaqala ukuba nenjongo kuphela ngemva kokuba uJesu esehambile. Nakuba ayenazo izizathu ezithile zobuntu obujwayelekile nalokho umuntu ojwayelekile okufanele abe nakho, okwenzeka kuye nalokho akwenza kwaqala esehambile uJesu. Sinjani isimo senu samanje? Manje ngihola wena kule ndlela futhi ucabanga ukuthi kuhamba kahle. Azikho izinto noma izilingo ezikwehlelayo, kodwa kule ndlela ngeke ukwazi ukubona uhlobo lomuntu oyilo ngempela, futhi ngeke ukwazi ukubona ukuthi ungumuntu oneqiniso ngempela yini. Ngomlomo wakho uthi uyakuqonda lokho oyikho, kodwa lawo ngamazwi angenalutho. Kamuva, lapho uthola iqiniso, kungaleso sikhathi kuphela lapho ukuqonda kwakho kuyobonakala khona. Manje, unalokhu kuqonda: “Ngiyaqonda ukuthi inyama yami yonakele kakhulu, nokuthi empeleni ingqikithi yenyama yabantu iyahlubuka futhi imelene noNkulunkulu. Ukuthola isahlulelo nokusola okuvela kuNkulunkulu kuyindlela uNkulunkulu aphakamisa ngayo abantu. Manje ngiyakuqonda lokho, futhi ngizimisele ukubuyisela uNkulunkulu ngothando angibonise lona.” Kodwa lokhu kulula ukukusho. Kamuva lapho wehlelwa izinsizi, ubunzima nokuhlupheka, ngeke kube lula ukubhekana nakho. Nsuku zonke nilandela le ndlela, kodwa anikakwazi ukuqhubeka nolwazi lwenu. Kuzoba kubi kakhulu uma nginiyeka futhi ngingabi nandaba nani; abantu abaningi bazowa bese babe yinsika kasawoti, okuwuphawu lwehlazo. Zonke lezi zinto zingenzeka. Akukukhathazi lokhu? UPetru wabhekana nezinto ezifanayo futhi wahlupheka ngendlela efanayo, kodwa waqhubeka nokuma eqinile. Uma izinto ezifanayo bezingehlela wena, ubungakwazi yini ukuma uqine? Izinto ezashiwo uJesu nomsebenzi awenza esesemhlabeni zanikeza uPetru isisekelo, futhi yilesi sisekelo esamenza wakwazi ukuhamba uhambo lwakhe kamuva. Ningakwazi yini ukufinyelela kulelo zinga? Izindlela ozihambile namaqiniso oye wawaqonda—kungaba yini isisekelo sakho ukuze ume uqine esikhathini esizayo? Ingabe lezi zinto zingaba yini umbono wakho ozokwenza ume uqine kamuva? Ngizonitshela iqiniso—ngingathi konke abantu abakukholelwayo namuhla konke kuyizimfundiso zenkolo. Lokhu kungenxa yokuthi abakuqondayo akuzona zonke izinto abaye babhekana nazo. Ukuthi uye wakwazi ukuqhubeka kuze kube manje kubangelwe ngokuphelele ukuholwa ukukhanya okusha. Akukhona ukuthi ukuma kwakho kuye kwafinyelela ezingeni elithile, kodwa kungenxa yokuthi amazwi Ami akuholele osukwini lwanamuhla; akukhona ukuthi unokholo olukhulu, kodwa kungenxa yokuhlakanipha kwamazwi Ami, akwenze wangabi nayo enye indlela obungenza ngayo ngaphandle kokulandela kuze kube manje. Uma bekungathiwa angingakhulumi lutho manje, kungaphumi lizwi Kimi, ubungeke ukwazi ukuqhubeka futhi ubungeke ukwazi ukuya phambili. Akuyona yini le indlela eniyiyo ngempela? Anazi ukuthi yiziphi izinto okumele ningene kuzo nokuthi yiziphi okumele nizilungisele lokho enikuntulayo. Aniyiqondi indlela yokuphila enenjongo yempilo yomuntu, indlela yokubuyisela uNkulunkulu ngothando anibonise lona, noma ukunikeza ubufakazi obunamandla nobuqand’ikhanda. Ngeke nikwazi nhlobo ukufinyelela kulezi zinto. Niyavilapha futhi niyiziphukuphuku! Enikwaziyo nje ukuncika entweni ethile, futhi enincike kukho ukukhanya okusha, nalowo Ongaphambi kwenu oniholayo. Ukuthi uye wakwazi ukuphikelela kuze kube manje kungenxa yokuncika ngokuphelele ekukhanyeni okusha nasemazwini akamuva. Anifani nhlobo noPetru, owayenekhono lokulandela indlela yeqiniso, noma njengoJobe, owayezinikele ekukhonzeni uJehova futhi ekholelwa ukuthi unguNkulunkulu naphezu kwendlela uJehova amvivinya ngayo, ukuthi wayembusisa noma cha. Ungakwazi ukukwenza lokho? Ninqotshwe kanjani? Enye indlela ukwahlulelwa, ukusolwa, nokuqalekiswa, futhi enye indlela ukunqotshwa yizinto ezifihlakele. Nonke nifana nezimbongolo. Uma engikukhulumayo kungaphakeme ngokwanele, uma zingekho izinto ezifihlakele, kusho ukuthi ngeke ninqotshwe. Uma umuntu othile ubengashumayela futhi njalo ashumayele ngezinto ezifanayo isikhathi esithile, kungathatha isikhathi esingaphansi kweminyaka emibili ukuba nonke nishiye phansi bese nisakazeka; futhi ngeke nikwazi ukuqhubeka. Anazi ukuthi ningajula kanjani, futhi aniqondi ukuthi nililandele kanjani iqiniso noma indlela yokuphila. Enikuqondayo nje ukuthola indaba ethile, njengokulalela izinto eziyimfihlakalo noma imibono, noma ukulalela indlela uNkulunkulu abesebenza ngayo, noma ukulalela izinto ezenzeka kuPetru, noma umlando wokubethelwa kukaJesu esiphambanweni…. Nizimisele ukulalela lezi zinto kuphela, futhi lapho nizilalela kakhulu yilapho niba nomdlandla nakakhulu. Nilalela zonke lezi zinto ukuze nisuse ukudabuka nesithukuthezi senu. Ukuphila kwenu kusekelwe ngokuphelele yilezi zinto eziyizindaba. Ingabe ucabanga ukuthi ufike lapha ngokholo lwakho? Akulona yini ubala lolo, isimo esidabukisayo eninaso? Buphi ubuqotho benu? Buphi ubuntu benu? Ingabe ninakho ukuphila komuntu? Zingaki izakhi zokupheleliswa eninazo? Akulona yini iqiniso lokhu engikushoyo? Ngikhuluma futhi ngisebenze ngale ndlela, kodwa kusenzima ukuba nilalele. Njengoba nilandela, niyabuka futhi. Njalo nibonakala ningenandaba, futhi nihlale nitshelwa okumele nikwenze. Yile ndlela nonke ebenilokhu nenza ngayo; beniholwa ngokusolwa, ukucwengisiswa, nokuzisola kuze kube namuhla. Ukube nje ezinye izintshumayelo ekungeneni ekuphileni zashunyayelwa, bekungeke kube ukuthi kudala nashiya phansi? Ngamunye wenu uqhoshela omunye, kodwa empeleni, izisu zenu zigcwele amanzi angcolile! Uye waphikelela kuze kube manje ngenxa yokuthi uye waqonda kuphela izimfihlakalo ezimbalwa, ezinye izinto abantu abangazange baziqonde esikhathini esidlule. Aninaso isizathu sokuyeka ukulandela, ngakho niye nazimisela ukubhekana nobunzima futhi nalandela isixuku. Lona ngumphumela otholakele ngamazwi Ami, futhi akwenzekanga ngamandla akho. Ayikho into ongaziqhayisa ngayo. Ngakho, uye waholelwa kulesi sigaba somsebenzi namuhla ngenxa yamazwi. Ukube bekungenjalo, ubani obezolalela phakathi kwenu? Ubani obezokwazi ukuphikelela kuze kube namuhla? Kusukela ekuqaleni benifuna ukushiya phansi zibekwa nje, kodwa anikwenzanga lokho; beningenaso isibindi. Kuze kube manje, benilokhu nilandela ngenhliziyo engaphelele.

Kwaze kwaba ngemva kokuba uJesu ebethelwe esiphambanweni futhi wanyukela ezulwini lapho uPetru aqala khona ukuhamba ibanga lakhe futhi waqala ukuthatha uhambo okwakufanele aluthathe; waze waqala ukuzihlomisa ngemva kokubona ubuthakathaka namaphutha akhe. Wabona ukuthi unothando oluncane kakhulu ngoNkulunkulu futhi intando yakhe yokuba ahlupheke yayingenele, ukuthi akanakho ukuqonda, futhi indlela acabanga ngayo yayingafanele. Wabona ukuthi zininigi izinto kuye ezazingahambisani nentando kaJesu, nokuthi wayenezinto eziningi ezaziwukuvukela nokuphikisa nezinto eziningi ezazihlanganisa intando yomuntu. Kwaze kwaba ngemva kwalokhu kuphela lapho angena khona ngazo zonke izici. Lapho uJesu emhola, uJesu wakwenza kwahlala obala lokho uPetru ayikho futhi uPetru wakwemukela futhi wakuvuma lokho uJesu akusho, kodwa ukuqonda waze wakuthola ngemva kwalokho. Lokhu kungenxa yokuthi ngaleso sikhathi, wayengazi lutho, futhi wayengakwazi nhlobo ukuma kwakhe. Lokho kusho ukuthi ngimane ngisebenzisa amazwi ukunihola, futhi kungenzeka ukuba nginiphelelise ngesikhashana nje, futhi nizoqonda bese nazi iqiniso kuphela. Lokhu kungenxa yokuthi ukukunqoba nokukukholisa enhliziyweni ngumsebenzi oqhubekayo manje, futhi kungemva kokuba abantu benqotshiwe lapho abanye beyopheleliswa khona. Okwamanje leyo mibono nalawo maqiniso owaqondayo kwakha isisekelo sezinto ezizokwenzeka kuwe esikhathini esizayo; osizini lwangesikhathi esizayo nizowabona efezeka ngokoqobo la mazwi. Kamuva, lapho wehlelwa uvivinyo futhi ubhekana nezilingo, uzocabanga ngamazwi owashoyo namuhla, okuthi: “Akunandaba ukuthi ngibhekana nezilingo, uvivinyo, noma ukuhluphela okukhulu kangakanani, kumele ngijabulise uNkulunkulu.” Cabanga ngalokho okwenzeka kuPetru kanye nalokho okwenzeka kuJobe—amazwi anamuhla azokuqinisa. Kungale ndlela kuphela lapho ukholo lwakho luzokhuthazeka khona. Ngaleso sikhathi, uPetru wathi wayengakufaneleki ukuthola isahlulelo nokusola kukaNkulunkulu, futhi ngaleso sikhathi nawe uzobe usuzimisele ukuthi bonke abantu babone ukulunga kukaNkulunkulu ngawe. Uzobe usuzimisele ukwamukela isahlulelo nokusola okuvela Kuye, futhi isehlulelo, ukusola nesiqalekiso Sakhe kuzokududuza. Okwamanje, akunakwenzeka ube neqiniso. Ngaphandle kwalo, akukhona nje ukuthi ngeke ukwazi ukuma uqine esikhathini esizayo, kodwa kungenzeka ungakwazi nokwenza umsebenzi wamanje. Uma kungale ndlela, ngeke yini ususwe bese ujeziswa? Okwamanje, alikho iqiniso oye walithola, futhi ngiye ngakunikeza okuthile kuzo zonke izici ozintulayo; ngikhuluma ngazo zonke izici. Ngokuqinisekile anikakukhuthazeleli ukuhlupheka okukhulu; nimane namukele lokho okukhona, anikhokhanga lutho, ngaphezu kwalokho, akukho eniye nakufeza futhi aninakho ukuqonda. Ngakho, lokho enikuqondayo akuzona izimo zenu zangempela. Nilinganiselwe ekuqondeni nasolwazini, kodwa anikavuni kakhulu. Ukube angibanga nandaba nani nganiyeka nabhekana nezimo ngokwenu, ngabe kudala nabuyela ezweni elikhulu. Esikhathini esizayo nizohamba indlela yokuhlupheka, futhi uma nilihamba kahle ibanga lamanje lendlela, khona-ke lapho nibhekana nosizi olukhulu esikhathini esizayo, nizoba nobufakazi. Uma ukuqonda ukubaluleka kokuphila komuntu, futhi uthathe indlela elungile yokuphila komuntu, futhi uma esikhathini esizayo, kungenandaba ukuthi uNkulunkulu ukuphatha kanjani, uzozithoba Kuye ngaphandle kokukhononda noma ukukhetha, futhi ungafuni izinto ngenkani kuNkulunkulu, khona-ke ngale ndlela, uzoba ngumuntu obalulekile. Okwamanje, owukabhekani nezinsizi, ngakho ungalalela noma yini ngaphandle kokukhetha. Uthi yonke indlela uNkulunkulu ahola ngayo ikahle, nokuthi uzozithoba kukho konke akushoyo. Ukuthi uNkulunkulu uyakusola noma uyakuqalekisa, uzozimisela ukumjabulisa. Ngaphezu kwalokho, okushoyo manje akukuchazi lokho oyikho. Ozimisele ukukwenza manje akubonisi ukuthi uzokwazi ukulandela kuze kube sekupheleni. Lapho kufika usizi olukhulu kuwe noma lapho ubhekana noshushiso noma uphoqwa ukuba wenze okuthile, noma uvivinyo olukhulu, khona-ke ngeke ukwazi ukusho lawo mazwi. Uma ungase ube nokuqonda okunjalo ngaleso sikhathi futhi ume uqine, yilokho kuphela okungabonisa lokho oyikho. Wayenjani uPetru ngaleso sikhathi? Wathi: “Nkosi, ngizokudela ukuphila kwami ngenxa Yakho. Uma uvumela ukuba ngife, ngizofa!” Yileyo indlela aphinde wathandaza ngayo ngaleso sikhathi. Wabuye futhi wathi: “Ngisho noma bengakuthandi abanye, kumelwe ngikuthande kuze kube sekupheleni. Ngizokulandela ngaso sonke isikhathi.” Yilokho akusho ngaleso sikhathi, kodwa ngokushesha lapho evivinywa, wacindezeleka futhi wakhala. Nonke niyazi ukuthi uPetru waphika iNkosi kathathu, akunjalo? Baningi abantu abazokhala futhi babonakalise ubuthaka bomuntu lapho bebhekana novivinyo. Awuyona inkosi phezu kwakho. Ngakho, awukwazi ukuzilawula. Kungenzeka namuhla wenza kahle kakhulu, kodwa kungenxa yokuthi lokho kubangelwa yizimo ezikahle. Uma lokho kungashintsha kusasa, ungabonisa ubugwala nobuthaka bakho, futhi ungabonisa indlela onengeka nongenalusizo lwalutho ngayo. “Ubudoda” bakho buyobe bungasekho, futhi ngezinye izikhathi ungase ngisho uphonse ithawula uhambe. Lokhu kubonisa ukuthi obukuqonda ngaleso sikhathi bekungekhona lokho oyikho ngempela. Umuntu kufanele abheke lokho oyikho ngempela ukuze ubone ukuthi umthanda ngeqiniso yini uNkulunkulu, ukuthi uyakwazi yini ukuzithoba kokushiwo uNkulunkulu, nokuthi angakwazi yini ukusebenzisa wonke amandla akhe ukuthola lokho okufunwa uNkulunkulu futhi aqhubeke ezinikela kuNkulunkulu ukuze amnikeze okungcono kakhulu uNkulunkulu, ngisho noma kusho ukuthi adele ukuphila kwakhe.

Kumele ukhumbule ukuthi la mazwi manje asekhulunyiwe: Kamuva, uzobhekana nosizi olukhulu nokuhlupheka okukhulu! Ukupheleliswa akuyona into elula. Okungenani kumele ube nokholo olunjengolukaJobe, noma mhlawumbe olukhulu kunolwakhe. Kufanele wazi ukuthi uvivinyo esikhathini esizayo luzoba ngaphezu kovivinyo lukaJobe, nokuthi kumele usolwe isikhathi esithe ukuba side. Ingabe kulula lokhu? Uma ukuqonda kwakho kungenakuthuthukiswa, uma indlela yakho yokuqonda intuleka, futhi uma wazi okuncane kakhulu, khona-ke ngaleso sikhathi ngeke ube nabo ubufakazi, kodwa uzoba yinhlekisa, into yokudlala uSathane. Uma wehluleka ukubambelela embonweni manje, lokho kusho ukuthi awunaso nhlobo isisekelo, futhi uzolahlwa esikhathini esizayo! Akukho banga lendlela okulula ukulihamba, ngakho ungakuthathi kalula lokhu. Kucabangele ngokucophelela manje lokhu futhi wenze amalungiselelo ukuze ozolihamba ngokufanele ibanga lokugcina lale ndlela. Lena yindlela okumele ihanjwe esikhathini esizayo futhi bonke abantu kumele bayihambe. Awukwazi ukuvumela ukuqonda kwamanje kungene kule ndlebe kuphume kwenye; ungacabangi ukuthi engikusho kuwe kungukudlala ngesikhathi. Sizofika isikhathi lapho uzokusebenzisa khona—amazwi Ami ngeke akhulunyelwe ize. Lesi yisikhathi sokuzihlomisa, yisikhathi sokulungiselela indlela yesikhathi esizayo. Kufanele ulungise indlela ozohamba kuyo kamuva; kufanele ube nokukhathazeka nokwesaba ngokuqondene nendlela ozokuma ngayo uqine esikhathini esizayo, futhi uyilungiselele kahle indlela yakho yangesikhathi esizayo. Ungabi yisiminzi futhi ungavilaphi! Kumele wenze konke ongakwenza ukuze usisebenzise kahle kakhulu isikhathi sakho, khona uzothola konke okudingayo. Ngikunika konke ukuze ube nokuqonda. Nikubonile ngamehlo enu ukuthi esikhathini esingaphansi kweminyaka emithathu, ngasho izinto eziningi ngenza nomsebenzi omningi kakhulu. Esinye isizathu esenze ukuthi ngisebenze ngale ndlela ukuthi abantu bantula kakhulu, kanti esinye isizathu ukuthi isikhathi sifishane kakhulu; akusekho ukulibala. Ngokucabanga kwakho abantu kufanele baqale bathole ukucacelwa kwangaphakathi ngaphambi kokufakaza nokusetshenziswa—kodwa akuhambi yini kancane lokho? Ngakho, ngizoba nawe isikhathi eside kangakanani? Uma uzoba Nami ngize ngiguge ngibe mpunga, ngeke kwenzeke lokho! Ngokubhekana nosizi olukhulu, bonke abantu bangaba nokuqonda kwangempela. Lezi yizinyathelo zomsebenzi. Uma uke wayiqonda ngokuphelele imibono okukhulunywe ngayo namuhla futhi wathola ukuma kwangempela, khona-ke noma ngabe yibuphi ubunzima ozobhekana nabo esikhathini esizayo ngeke bukunqobe, futhi uzokwazi ukumelana nabo. Lapho sengisiqedile lesi sinyathelo sokugcina somsebenzi ngaqeda nokukhuluma amazwi okugcina, esikhathini esizayo abantu kuzodingeka bahambe ngendlela yabo. Lokhu kuzogcwalisa amazwi akhulunywe esikhathini esidlule: Umoya oNgcwele unomsebenzi womuntu ngamunye, nomsebenzi okufanele awenze kumuntu ngamunye. Esikhathini esizayo, wonke umuntu uzohamba endleleni okufanele ahambe ngayo, eholwa uMoya oNgcwele. Ubani ozokwazi ukunakekela abanye lapho ebhekene nosizi? Umuntu ngamunye unokuhlupheka kwakhe, futhi ngamunye unokuma kwakhe. Akekho umuntu onokuma okufana nokomunye. Amadoda ngeke akwazi ukunakekela amakhosikazi awo nabazali ngeke bakwazi ukunakekela izingane zabo; akekho ozokwazi ukunakekela omunye. Ngeke kufane nesikhathi samanje, lapho sisakwazi ukunakekelana nokwesekelana. Kuzoba isikhathi sokuveza obala yonke inhlobo yomuntu. Okungukuthi, lapho uNkulunkulu eshaya umalusi, izimvu zomhlambi zizohlakazeka, futhi ngaleso sikhathi ngeke nibe naye umholi weqiniso. Abantu bazohlukana phakathi—ngeke kufane nesikhathi samanje, lapho ningakwazi khona ukuhlangana ndawonye njengebandla. Esikhathini esizayo, labo abangenawo umsebenzi woMoya oNgcwele bazobonakalisa lokho abayikho ngempela. Amadoda azothengisa ngamakhosikazi awo, izingane zithengise ngabazali bazo, abazali bazoshushisa izingane zabo—inhliziyo yomuntu ayiqondakali! Okungenzeka nje ukuthi umuntu abambelele kulokho anakho, futhi ahambe kahle ibanga lokugcina lendlela. Okwamanje, anikuboni kahle lokhu; futhi nonke nibona lufifi. Ukubhekana ngokuphumelelayo nalesi sinyathelo somsebenzi akuyona into elula.

Isikhathi sosizi ngeke sibe side kakhulu; empeleni, siyothatha ngaphansi konyaka. Uma besingathatha unyaka, besingabambezela isinyathelo esilandelayo somsebenzi, futhi ukuma kwabantu bekungaba buthakathaka. Uma besingaba side kakhulu bebengeke bakwazi ukusimela. Kakade, ukuma kwabantu kunokulinganiselwa. Ngemva kokuphothulwa komsebenzi Wami, isinyathelo esilandelayo kuyoba esokuhamba kwabantu endleleni okufanele bahambe kuyo. Wonke umuntu kumele ayiqonde indlela okufanele ahambe kuyo—kuyindlela nenqubo yokuhlupheka, kuphinde kube yindlela yokucwengisisa ukuzimisela kwakho ukuthanda uNkulunkulu. Yilawo amaqiniso okufanele ungene kuwo, yilawo amaqiniso okufanele uwanezele, indlela yokubhekana nezinto, nokuthi iyiphi ingxenye ongangena kuyo—kumele uziqonde zonke lezi zinto. Kumele uzihlomise manje. Uma ulinda uze ubhekane nosizi, kuyobe sekwephuzile. Wonke umuntu kumele athwale umthwalo wokuphila kwakhe, futhi ungalindi ngaso sonke isikhathi izixwayiso zabanye noma ukuba bakuhlebele umbono endlebeni njalo nje. Kuningi engikukhulumile kodwa namanje awukazi ukuthi yimaphi amaqiniso okufanele ungene kuwo noma uzihlomise ngawo. Lokhu kubonisa ukuthi awukawenzi umzamo wokufunda amazwi kaNkulunkulu. Uwukho nhlobo umthwalo wokuphila kwakho owuthwele—kungaba kuhle kanjani lokho? Awukwazi okufanele ungene kukho, awukuqondi okufanele ukuqonde, futhi udideke ngokuphelele ngendlela okufanele uyithathe esikhathini esizayo. awuyona yini into yalutho ngempela? Uyini umsebenzi wakho? Enikwenzayo manje ukwakha nokulungisa izindlela zenu. Kumele ukwazi okufanele kutholwe abantu nezinga lezinto ezifunwa uNkulunkulu kubantu. Kumele ube nokuqonda okulandelayo: Noma ngabe kwenzekani, nakuba ngonakele ngale ndlela, kumele ngilungise la maphutha phambi kukaNkulunkulu. Ngesikhathi uNkulunkulu engakangitsheli lutho, akukho engangikuqonda, kodwa ngenxa yokuthi kukhona angitshele kona manje futhi ngiyakuqonda, kumele ngisheshe ngilungise, ngiphile ubuntu obujwayelekile, ngiphile ngendlela ezovumelana nentando kaNkulunkulu. Ngisho noma ngingenakwenza ngendlela uPetru enza ngayo, okungenani kufanele ngiphile ubuntu obujwayelekile. Ngaleyo ndlela, ngizojabulisa inhliziyo kaNkulunkulu.

Ibanga lokugcina lale ndlela lizoqhubeka kusukela manje kuze kube yisiphelo sosizi lwesikhathi esizayo. Leli banga lendlela lizoba lapho kubonakaliswa ukuma kwabantu kwangempela kuhlanganise nokuthi banalo yini ukholo lweqiniso noma cha. Ngenxa yokuthi leli banga lendlela lizobe linzima kakhulu uma liqhathaniswa nanoma yiliphi elinye elike lahanjwa ngaphambili, nokuthi liyindlela enamatshe, libizwa ngokuthi “yibanga lokugcina lendlela.” Iqiniso liwukuthi akuyona ingxenye yokugcina yendlela; lokhu kungenxa yokuthi ngemva kokubhekana nosizi, uzokwenza umsebenzi wokusabalalisa ivangeli futhi kuzoba nengxenye ethile yabantu ezosetshenziselwa ukwenza umsebenzi othile. Ngakho “ibanga lokugcina lendlela” kukhulunywa ngalo kuphela uma kubhekiswa osizini lokucwengisisa abantu nezimo ezingezinhle. Engxenyeni yendlela yangesikhathi esedlule, Yimi mathupha engangikuhola ohambweni lwakho olujabulisayo, ngikubambe ngesandla ukuze ngikufundise futhi ngikondle ngokuphuma emlonyeni Wami. Nakuba uye wasolwa futhi wahlulelwa izikhathi eziningi, uye washaywa kancane kuphela ngokuphindaphindiwe. Yiqiniso, lokho kuye kwashintsha kakhulu indlela obheka ngayo ukukholelwa kuNkulunkulu; kubangele nokuba indlela isimo sakho sizinze kakhulu, futhi kwakwenza ukuba ungiqonde kancane. Kodwa nakhu engikushoyo, lapho abantu behamba lelo banga lendlela, inani elikhokhwayo noma umzamo wokucophelela owenziwe abantu ube mncane kakhulu—Yimi engikuhole waze wafika lapha. Lokhu kungenxa yokuthi angidingi ukuba wenze okuthile; empeleni, engikufunayo kuwe akuphakeme nhlobo—ngikuvumela nje ukuba uthathe okutholakalayo. Ngalesi sikhathi ngizinakekele ngokungaphezi izidingo zenu, futhi angizange ngifune izinto ezingenangqondo kini. Niye nabhekana nokusolwa okuphindaphindiwe kodwa anikazitholi izimfuneko Zami zokuqala. Niyahoxa futhi nidangele, kodwa angicabangi ngalokhu ngoba manje yisikhathi somsebenzi Wami siqu, futhi “ukuzinikela” kwenu Kimi angikubheki njengento ebalulekile. Kodwa kusukela lapha kuqhubeke, ngeke ngisasebenza noma ngikhulume, futhi ngaleso sikhathi ngeke ngisanivumela ukuba niqhubeke nendlela yokungasebenzi. Ngizovumela ukuba nifunde izifundo eziningi, futhi ngeke nginivumele nithathe okutholakalayo. Ukuma kweqiniso eninakho namuhla kumele kudalulwe. Ukuthi imizamo yenu yeminyaka ibe nezithelo yini noma cha kuzobonakala ngendlela enihamba ngayo kuleli banga lokugcina lendlela. Esikhathini esidlule, benicabanga ukuthi kulula kakhulu ukukholelwa kuNkulunkulu, futhi lokho kwakubangelwa ukuthi uNkulunkulu wayengenandaba nani. Kuthiwani manje? Nicabanga ukuthi kulula ukukholelwa kuNkulunkulu? Nisenomuzwa wokuthi ukukholelwa kuNkulunkulu kukwenza ujabule futhi ungabi nandaba njengokudlala kwezingane emgwaqweni? Kuyiqiniso ukuthi niyizimvu; nokho, kumele nikwazi ukuhamba indlela okufanele niyihambe ukuze nibuyisele uNkulunkulu ngomusa Wakhe, nokuthi nimzuze ngokuphelele uNkulunkulu enikholelwa Kuye. Ningadlali, futhi ningazikhohlisi! Uma ungaphumelela kuleli banga lendlela, khona-ke uzobona umbukwane ongakaze ubonwe wevangeli lomsebenzi Wami usakazekela embulungeni yonke, futhi uzoba nenhlanhla yokuba seduze Kwami, nokuba nengxenye ekusabalaliseni umsebenzi Wami embulungeni yonke. Ngaleso sikhathi, uzoqhubeka ngenjabulo nokuhamba ngendlela okufanele uhambe ngayo. Ikusasa liyokhanya ngezinga elikhulu, kodwa into eyinhloko manje ukuphumelela ukuhamba leli banga lokugcina lendlela. Kumele ufune, futhi ulungiselele ukuthi ungakwenza kanjani lokhu. Nakhu okumele ukwenze manje; lokhu kuphuthuma kakhulu manje!

Okwedlule: Kumele Niqonde Umsebenzi—Ungalandeli Ngokudideka!

Okulandelayo: Ungakunaka Kanjani Ukuthunywa Kwakho Kwesikhathi Esizayo?

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp