Ekukholweni Kwakho KuNkulunkulu Kumele Ulalele UNkulunkulu

Kungani ukholwa kuNkulunkulu? Abantu abaningi bayabaxakwa yilo mbuzo. Banemibono emibili eyehlukene ngoNkulunkulu ongokoqobo kanye noNkulunkulu osezulwini, okukhombisa ukuthi bakholwa kuNkulunkulu bengaqonde kulalela, kodwa ukuthola izinzuzo ezithile, noma befuna ukubalekela ukwehlelwa yinhlekelele. Kungaleso sikhathi lapho bemlalela khona, kodwa ukumlalela kwabo kunemibandela, kungenxa yokuphumelelisa bona uqobo, futhi kuphoqiwe kubo. Ngakho-ke: kungani ukholwe kuNkulunkulu? Uma kungukuthi kungenxa yokubhekiwe, nesiphetho sakho, kungcono-ke ungakholwa. Ukukholwa ngale ndlela kungukuzikhohlisa, ukuzanelisa, futhi kungukuzazisa. Uma ukukholwa kwakho kungakhelwe phezu kwesisekelo sokulalela uNkulunkulu, uyojeza ekugcineni ngenxa yokuphikisa uNkulunkulu. Bonke labo abangafuni ukulalela uNkulunkulu ekukholweni kwabo, baphikisa uNkulunkulu. UNkulunkulu uyacela ukuba abantu balifune iqiniso, bomele amazwi kaNkulunkulu, baphinde badle futhi baphuze amazwi kaNkulunkulu, nokuthi bawenze ukuze bazuze ukumlalela uNkulunkulu. Uma kungukuthi ukugqugquzeleka kokholo lwakho kunje, noma kanjani uNkulunkulu uzokuphakamisa, akwenzele umusa. Akekho umuntu ongakungabaza lokhu, futhi akekho ongakuguqula. Uma ukugqugquzeleka kwakho kungekhona okokulalela uNkulunkulu, futhi unezinye izinhloso, konke-ke okushoyo nokwenzayo – imithandazo yakho phambi kukaNkulunkulu, kanye nazo zonke izenzo zakho – zizobe ziphikisa uNkulunkulu. Ungaba ngumuntu okhulumela phansi nonomoya ozothile, zonke izenzo zakho nokukhuluma kungabukeka kulungile, ungabonakala uyilowo olalelayo, kodwa uma kuza ekukhuthazekeleni kwakho nasemibonweni yakho ngokukholwa kuNkulunkulu, konke okwenzayo kuphikisana noNkulunkulu, futhi kubi. Abantu ababonakala belalela njengezimvu bezithobile, kodwa izinhliziyo zabo zinezinhloso ezingezinhle, bayizimpisi ezigqoke izikhumba zezimvu; bamedelela ngokusobala uNkulunkulu; ngakho ngeke asindise ngisho oyedwa kubona. UMoya oNgcwele uyobembula bonke labo, ukuze babonwe ukuthi bangabazenzisi ngakho bazokwenyanywa futhi balahlwe nguMoya oNgcwele. Ungakhathazeki: uNkulunkulu uzobebhekana futhi abalungise ngamunye ngamunye.

Uma ungakwazi ukwamukela ukukhanya okusha kukaNkulunkulu, futhi ungaqondi konke lokho akwenzayo namuhla, futhi ungakufuni, noma kungukuthi uyakungabaza, uyakwahlulela, noma uyakucubungula futhi uyakuhlaziya, ngakho-ke awunanjongo yokuba ulalele uNkulunkulu. Ukuba lapho kuvela ukukhanya kwalapha namanje, usazisa ukukhanya kwayizolo futhi uphikisa umsebenzi omusha kaNkulunkulu, uyoba ngoyisiwula—uyilabo abaphikisa uNkulunkulu ngamabomu. Okubalulekile ekulaleleni uNkulunkulu ukwazisa ukukhanya Kwakhe okusha, nokukwazi ukukwamukela nokukusebenzisa. Yilokhu kuphela okungukumlalela ngeqiniso. Labo abangazimisele ukomela uNkulunkulu abakwazi ukuba nomqondo wokulalela uNkulunkulu; futhi bangaphikisa uNkulunkulu ngenxa yokwaneliswa yisimo sempilo abakuyo ngaleso sikhathi. Ukungakwazi ukulalela uNkulunkulu kungenxa yokuba usagajwe yizinto zakudala. Izinto zakudala zinike abantu zonke izinhlobo zemicabango nezinkohliso mayelana noNkulunkulu esezibe yisithombe sikaNkulunkulu emiqondweni yabo. Ngaleyo abakukholwayo yimicabango yabo, nezilinganiso ezisemiqondweni yabo kuphela. Uma ulinganisa uNkulunkulu owenza umsebenzi namuhla noNkulunkulu osemqondweni wakho, ukukholwa kwakho-ke kuvela kuSathane, futhi ungowokuzikhethela kwakho – akakufuni-ke uNkulunkulu ukukholwa okunjalo. Kungakhathaleki ukuba nezinto eziphakeme, futhi kungakhathaleki ukuzinikela kakhulu kwabo – noma ngabe impilo yakho yonke uyinikele emsebenzini Wakhe, waze wamfela – uNkulunkulu akamamukeli muntu onokholo olunjengalolu. Ubakhombisa nje umusa omncane bese ebavumela ukuba bawuthokozele isikhashana. Abantu abayilolu hlobo abakwazi ukwenza iqiniso, uMoya oNgcwele akasebenzi phakathi kubo, noNkulunkulu uzobachitha ngamunye ngamunye. Akunandaba ukuthi bakhulile noma basebasha, labo abangamlaleli uNkulunkulu ekukholweni kwabo begqugquzelwa ngokubi, yilabo abaphikisayo nabaphazamisayo futhi labo ngokungangabazi uNkulunkulu uyakubalahla. Labo abangamlaleli nhlobo uNkulunkulu, abavuma nje igama Lakhe kuphela, abanolwazana ngobuhle nokuthandeka kukaNkulunkulu kodwa abengahambisani nezinyathelo zikaMoya oNgcwele, futhi abangalaleli umsebenzi namazwi amanje kaMoya oNgcwele – labo baphila phakathi komusa kaNkulunkulu, futhi abayikuzuzwa bapheleliswe nguNkulunkulu. UNkulunkulu uphelelisa abantu ngokulalela kwabo, ekudleni, ekuphuzeni, kanye nasekuthakaseleleni amazwi kaNkulunkulu, nasenhluphekweni nasekwehlelweni ukucwengwa ezimpilweni zabo. Kusekukholweni okunjalo kuphela lapho izimo zabantu zikwazi khona ukuguquka, kulapho kuphela bethola khona ulwazi lwangempela ngoNkulunkulu. Ukungeneliswa ukuphila emuseni kaNkulunkulu, ngokuzimisela bomele iqiniso, nokufuna iqiniso, nokufisa ukuzuzwa nguNkulunkulu – yilokhu impela okuchaza ukulalela uNkulunkulu; yilolu ncamashi uhlobo lokukholwa alufunayo uNkulunkulu. Abantu abangenzi okunye ngaphandle kokugcina ngokuhlala emseni kaNkulunkulu kuphela abanakupheleliswa, noma abanakuguqulwa, futhi ukulalela kwabo, ukulunga kanye nothando nokubekezela, konke kulula. Labo abathokozela ukuphila ngomusa kaNkulunkulu kuphela abasoze bamazi ngokweqiniso uNkulunkulu, futhi noma sebemazi uNkulunkulu, ulwazi lwabo lulula; basho izinto ezifana nokuthi uNkulunkulu uyamthanda umuntu, noma ukuthi unomusa omkhulu kumuntu. Lokhu akuvezi impilo yomuntu, akukhombisi futhi lokho ukuthi abantu bamazi ngokweqiniso uNkulunkulu. Uma, ngenkathi amazwi kaNkulunkulu ebalungisa, noma ngenkathi ukuvivinya kubehlela, abantu abakwazi ukulalela uNkulunkulu — uma kungukuthi baba nokungabaza, baze bawe – ngakho-ke abekho nakancane ekulaleleni. Kubona, kunemithetho nemigomo eminingi mayelana nokukholwa kuNkulunkulu, abadlule kukho okudala okuyimiphumela yeminyaka eminingi yokukholwa, noma yizimfundiso eziningi esuselwe eBhayibhelini. Kungabe abantu abanje bangamlalela uNkulunkulu? Laba bantu bagcwele izinto zabantu — bangamlalela kanjani uNkulunkulu? Bonke balalela ngokwezindlela zabo – kungenzeka uNkulunkulu afise ukulalela okanjalo? Lokhu akukhona ukulalela uNkulunkulu, kodwa ngukulandela imibhalo nje, ukuzanelisa kanye nokuziduduza. Uma uthi yikho ukulalela uNkulunkulu lokho, akukhona ukuthi uyamhlambalaza? UnguFaro waseGibhithe, wenza ububi, futhi ngokucacile uzifaka emsebenzi ophikisa uNkulunkulu—ingabe uNkulunkulu ufuna ukuziphatha okunjalo? Kungaba ngcono uphuthume uphenduke futhi uhlale uqwashile. Uma kungenjalo, kungcono uvele ugoduke: kuzoba ngcono lokho kuwe kunokusebenzela kwakho uNkulunkulu, ngeke uthikameze noma uphazamise, uyoyazi indawo yakho, uhlale kahle – lokho ngeke kube ngcono? Ngaleyo ndlela uzogwema ukuphikisa noNkulunkulu nokujeziswa!

Okwedlule: Ukukhonza Kwenkolo Kumele Kususwe

Okulandelayo: Izithembiso Kulabo Abaphelelisiwe

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp