Isahluko 10

Ngesikhathi sokwakhiwa kwebandla, uNkulunkulu wayethuka nje ekhuluma ngokwakhiwa kombuso. Nalapho ekhuluma ngakho, wayekwenza ngolimi lwesikhathi sokwakhiwa kwebandla. Lapho kufika iNkathi Yombuso uNkulunkulu waziyeka ezinye izindlela nezindaba zesikhathi sokwakhiwa kwebandla futhi akaphindanga wakhuluma ngisho izwi elilodwa ngakho. Lokhu yikho kanye okuwumqondo obalulekile “kaNkulunkulu Uqobo” ohlala emusha futhi ongagugi. Nakuba kungenzeka ukuthi zazike zenziwa izinto esikhathini esedlule, mayelana nokuba kwazo yingxenye yenkathi edlule, uNkulunkulu ubeka lezo zinto njengezenzeka phambi kwesikhathi sikaKristu, kanti isikhathi samanje saziwa njengesikhathi sangemuva kukaKristu. Kulokhu, kuyabonakala ukuthi ukwakhiwa kwebandla kwakuyisandulelo esidingekile sokwakhiwa kombuso. Kwabeka isisekelo sokuthi uNkulunkulu asebenzise amandla akhe okubusa embusweni. Namuhla, umsebenzi wokwakhiwa kwebandla uyisiqalo nje sokwakhiwa kombuso, okuyinhloso nqangi yomsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni. UNkulunkulu walungisa yonke imininingwane yomsebenzi Wakhe ngaphambi kokuba umsebenzi wokwakhiwa kwebandla uqedwe, kwathi lapho isikhathi sesifanele, wawuqala ngqo umsebenzi Wakhe. Kanjalo, uNkulunkulu wakhuluma kanje, “iNkathi yoMbuso, vele, yehlukile kweyezikhathi ezedlule. Ayithinti indlela abantu abenza ngayo; kunalokho, mina ngehlele emhlabeni ukweenza mathupha umsebenzi Wami, okuyinto okungekho muntu ongayicabanga noma ayifeze.” Impela, lo msebenzi kufanele wenziwe nguNkulunkulu mathupha—akekho umuntu okwazi ukwenza umsebenzi onje, akanakuwenza nje nhlobo. Ngaphandle kukaNkulunkulu, ngubani ongenza umsebenzi onje phakathi kwabantu? Ngubani omunye ongahlupha sonke isintu size sicishe sife? Ingabe abantu bangakwazi ukuhlela umsebenzi onje? Kungani ethi, “Ngehlele emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi wami mathupha,” Ingabe uMoya kaNkulunkulu usunyamalele ngempela kuwo wonke umkhathi? Umugqa othi, “Ngehlele emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi wami mathupha,” uqondiswe eqinisweni lokuthi uMoya kaNkulunkulu ube yinyama ukuze wenze umsebenzi, neqiniso lokuthi uMoya kaNkulunkulu usebenza ngokusobala ngabantu. Ngokuzenzela mathupha umsebenzi Wakhe uNkulunkulu uvumela abantu abaningi ukuthi bambone ngamehlo enyama, ukuze bangalokhu becinga ngokucophelela emoyeni wabo. Okunye, kuvumela bonke abantu ukuthi babone imisebenzi kaMoya ngamehlo abo futhi kubakhombise ukuthi kukhona umehluko obalulekile phakathi kwenyama yomuntu naleyo kaNkulunkulu. Khona manjalo, kuwo wonke umkhathi kanye nembulunga yomhlaba, uMoya kaNkulunkulu usasebenza. Bonke labo bantu abakhanyiselwe, lapho sebamukele igama likaNkulunkulu, bayabona ukuthi uMoya kaNkulunkulu usebenza kanjani bese, ngalokho, bekujwayela kakhudlwana ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu. Kanjalo, kuba sekusebenzeni kobunkulunkulu bukaNkulunkulu ngokuqondile, okuwukuthi uMoya kaNkulunkulu uyakwazi ukusebenza ngaphandle kokuphazamiseka ngisho okuncane, lapho umuntu engajwayelana khona noNkulunkulu ongokoqobo ngokwakhe. Lokhu kungumongo wokwakhiwa kombuso.

Zingaki izikhathi uNkulunkulu abe senyameni ngazo? Kungaba yizikhathi eziningi? Kungani uNkulunkulu esephawule izikhathi eziningi kanje, “Ngike ngehlela emhlabeni wabantu ngezwa futhi ngabona ukuhlupheka kwabo, kodwa ngaphandle kokugcwalisa inhloso yokuba sesimweni somuntu Kwami.”? Ingabe uNkulunkulu ube sesimweni somuntu izikhathi eziningi, kodwa akaze aziwe nakanye ngumuntu? Akuyikho lokho okuqondwe ngale nkulumo. Ngesikhathi sokuqala uNkulunkulu aba sesimweni somuntu ngaso, inhloso yakhe empeleni kwakungekhona ukuthi abantu bamazi. Esikhundleni salokho wenza umsebenzi Wakhe wayesenyamalala ngaphandle kokuthi kube khona ombonayo noma oba ngisho nethuba lokumazi. Akabavumelanga abantu ukuba bamazi ngokugcwele futhi akazange abe nakho ngokuphelele ukubaluleka kokuba sesimweni somuntu, ngakho kwakungeke kuthiwe usesimweni somuntu ngokuphelele. Ekubeni sesimweni somuntu okokuqala, wasebenzisa nje umzimba oyinyama ongenayo imvelo yesono ukwenza lowo msebenzi—lapho umsebenzi usuphelile, kwakungasekho sidingo sokubuye kukhulunywe ngakho. Ngokwalabo bantu abasetshenziswe nguNkulunkulu eminyakeni eyedlule, izimo ezinje azifanele kakhudlwana ukubizwa ngokuba “sesimweni somuntu.” NguNkulunkulu ongokoqobo kuphela namuhla, onokubonakala kwangaphandle kobuntu obujwayelekile, onengaphakathi lobunkulunkulu obuphelele, onenhloso yokwenza ukuba isintu simazi, ongabizwa “ngosesimweni somuntu.” Incazelo yokuvakasha kokuqala kukaNkulunkulu kulo mhlaba iphethe ingxenye eyodwa kuphela yokubaluleka kwalokhu okubizwa manje ngokuba sesimweni somuntu. Yingakho uNkulunkulu athi, “ngaphandle kokugcwalisa ukubaluleka kokuba sesimweni somuntu.” Ukuthi “Ngezwa futhi ngabona ukuhlupheka komuntu” kubhekise eMoyeni kaNkulunkulu nokuba sesimweni somuntu okubili, yingakho uNkulunkulu athi, “Lapho ukwakhiwa kombuso kuqalwa, umzimba Wami wobuntu uqala ukwenza inkonzo ngokusemthethweni; okusho ukuthi, iNkosi yombuso iqala ukuthatha amandla ayo okubusa ngokusemthethweni.” Nakuba ukwakhiwa kwebandla kwakuwubufakazi begama likaNkulunkulu, umsebenzi wawungakaqali ngokusemthethweni—kunamuhla kuphela lapho kungathiwa kungukwakhiwa kombuso. Konke okwenziwa ngaphambili kwakuwumuzwa nje wokuzokwenzeka, kwakungeyona into yangempela. Noma ngabe kwakuthiwa sekungeniwe embusweni, awukho umsebenzi owase wenziwa ngaphakathi kwawo. Kunamuhla kuphela, ngoba sekwenziwa umsebenzi ngaphakathi kobunkulunkulu noNkulunkulu eseqalile ngokusemthethweni ukwenza umsebenzi Wakhe, lapho umuntu esegcine wangena embusweni. Ngakho, “ukwehlela kombuso emhlabeni wabantu—okungekhona ukuvezwa ngokwamazwi nje—kuyinto yangokoqobo ngempela; le yingxenye eyodwa yencazelo yamazwi athi “iqiniso lokusebenza.” Lesi siqephu siyiqoqa elifanele lesethulo esingenhla. Emva kokunikeza le ncazelo, uNkulunkulu uyaqhubeka achaze isimo esivamile sesintu, eshiya umuntu esesimweni sokuba matasa okungapheli. “Emhlabeni wonke, bonke abantu bangaphansi kothando Lwami, uzwelo Lwami, kodwa futhi bonke abantu bangaphansi kokwahlulela Kwami, nokulingwa Yimi ngokufanayo.” Impilo yomuntu iphethwe ngezimiso nemithetho ethile, ebekwe nguNkulunkulu. Lezi zimiso nemithetho yilena elandelayo: kuyoba khona izikhathi zenjabulo, kuyoba khona izikhathi zokukhathazeka futhi ngaphezu kwalokho, izikhathi zokucwengwa kobunzima obuzothwalwa. Kanjalo, akekho umuntu oyophila impilo yenjabulo ephelele noma yokuhlupheka okuphelele. Yonke impilo iyoba nokwenyuka nokwehla. Kuso sonke isintu, akukhona kuphela ukuthi uthando nozwelo lukaNkulunkulu lusobala, kanjalo nokwahlulela naso sonke isimo Sakhe. Kungashiwo kanje: Bonke abantu baphila ekuvivinyweni nguNkulunkulu, akunjalo? Kuwo wonke lo mhlaba obanzi, sonke isintu sisebenza ngenkuthalo emsebenzini wokuthola indlela yaso. Abanasiqiniseko ngeqhaza abalibambayo futhi abanye baze balimaze noma balahlekelwe yizimpilo zabo ngenxa yokudalelwa kwabo. Ngisho uJobe wayengenakuphuma eceleni komthetho: Ekuphileni ekuvivinyweni nguNkulunkulu, waqhubeka nokho efuna eyakhe indlela. Akekho umuntu ongakwazi ukuma aqine ekuvivinyweni nguNkulunkulu. Ngenxa yomhobholo noma imvelo yakhe, akekho umuntu owenelisekayo ngesimo akuso, futhi akukho muntu ongamelana nezivivinyo: wonke umuntu uyawa ngaphansi kokwahlulela kukaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ubengase aqhubeke nokuzimisela ngomuntu, uma ubengaqhubeka afune izidingo ezinzima kanje kumuntu, bekuyoba ngempela njengoba uNkulunkulu asho: “bonke abantu bebeyoketuka ngenxa yokuvutha kwendlela engibabheka ngayo.”

Phezu kweqiniso lokuthi ukwakhiwa kombuso sekuqalile ngokusemthethweni, isibingelelo sombuso asikezwakali ngokusemthethweni—manje siseyisibikezelo salokho okuzayo. Lapho bonke abantu sebephelelisiwe nazo zonke izizwe zomhlaba seziwumbuso kaKristu, kuyobe sekuyisikhathi-ke sokuduma kwamazulu ayisikhombisa. Usuku lwanamuhla luyigxathu eliya phambili endleleni eya kuleso sigaba, ukuhlasela sekudedelwe esikhathini esizayo. Lolu wuhlelo lukaNkulunkulu—esikhathini esiseduze luyofezeka. Kodwa, uNkulunkulu usekufezile konke akusho. Kanjalo, kusobala ukuthi izizwe zomhlaba ziyizinqaba nje ezisehlabathini eziqhaqhazelayo ngenkathi kusondela umsinga ophakeme. Usuku lokugcina luyasondela nodrako omkhulu obomvu uyoketuka awe ngaphansi kwezwi likaNkulunkulu. Ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lukaNkulunkulu lwenzeka ngempumelelo, izingelosi zezulu sezehlele emhlabeni, zenza konke ezingakwenza ukwanelisa uNkulunkulu. UNkulunkulu ngokwakhe osesimweni somuntu usenikele enkundleni yempi ukuhlasela isitha. Noma yikuphi lapho kuvela khona ukuba sesimweni somuntu, isitha siyabulawa kuleyo ndawo. IChina ngeyokuqala ukushabalaliswa, ibhidlizwa yisandla sikaNkulunkulu. UNkulunkulu akayiniki thuba iChina. Ubufakazi bokuqhubeka kokuwa kukadrako omkhulu obomvu bubonakala ekuqhubekeni kokuvuthwa kwabantu. Lokhu ngokusobala kubonwa yinoma ngubani. Ukuvuthwa kwabantu kuwuphawu lokushabalala kwesitha. Lokhu kuyincazelo encanyana yalokhu okuqondiwe “ngokwenza impi.” Kanjalo, uNkulunkulu ukhumbuze abantu izikhathi eziningi ukunikeza ubufakazi obuhle kuNkulunkulu ukuze bahlakaze isimo semicabango, ububi bukadrako omkhulu obomvu ezinhliziyweni zabantu. UNkulunkulu usebenzisa lezi zikhumbuzo ukuvuselela ukholo lwabantu bese kuthi, ekwenzeni lokhu, azuze ukufezeka komsebenzi wakhe. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu uthe, “Yini umuntu akwazi ukuyenza? Akungcono ukuthi ngizenzele mina?” Sonke isintu sinje. Asigcini ngokungakwazi kuphela, sibuye siqedeke kalula umdlandla futhi sidumale. Ngalesi sizathu, asikwazi ukwazi uNkulunkulu. UNkulunkulu akagcini ngokuvuselela ukholo lomuntu kuphela, emfihlakalweni ube elokhu futhi enikeza abantu amandla.

Okulandelayo, uNkulunkulu uqale ukukhuluma kuwo wonke umhlaba. UNkulunkulu akaqalanga umsebenzi wakhe omusha eChina kuphela, emhlabeni wonke uqale ukwenza umsebenzi wakhe omusha wanamuhla. Kulesi sigaba somsebenzi, uNkulunkulu ufuna ukwembula izenzo Zakhe emhlabeni wonke ukuze sonke isintu esamphika sibuye sizokhothama ngokuzinikela phambi kwesihlalo sakhe sobukhosi, ngalendlela phakathi kokwahlulela kukaNkulunkulu kusekhona uzwelo nothando. UNkulunkulu usebenzisa izigameko zamanje emhlabeni wonke njengamathuba okwenza abantu bethuke, ebagqugquzela ukuthi bafune uNkulunkulu ukuze bahlabe uhele baphindele Kuye. Kanjalo uNkulunkulu uthi, “Lena ngenye yezindlela engisebenza ngazo, futhi ngokungangabazeki iyisenzo sokusindiswa kwabantu, futhi engibanikeza kona kusewuhlobo oluthile lothando.” UNkulunkulu uveza imvelo yangempela yomuntu ngokunemba okujulayo, okungalinganiseki nokunye, nokungadingi msebenzi. Lokhu kushiya umuntu ezifihle ubuso ngenxa yamahloni, ethotshiswe kakhulu. Njalo uma uNkulunkulu ekhuluma, ngendlela ethile uvame ukwazi ukukhomba ingxenye ethile yokwenza komuntu okuyihlazo ukuze, lapho ekhululekile, umuntu angazikhohlwa futhi angakucabangi ukuzazi kwakhe njengomsebenzi omdala. Ekwazini imvelo yomuntu, uma uNkulunkulu ubengeke awakhombe amaphutha akhe nakanye nje, umuntu ubeyozitika futhi abe nenkani. Kanjalo, namuhla uNkulunkulu uthi, “Abantu—abangawazisi neze amagama engibanikeze wona, iningi labo, ngenxa yegama elithi “abenzi bomsebenzi,” linenzondo ezinhliziyweni zabo, futhi abaningi kakhulu, ngenxa yegama elithi “abantu Bami,” bayangithanda ezinhliziyweni zabo. Akekho okufanele azame ukungilutha; amehlo Ami abona konke!” Lapho nje umuntu ebona le nkulumo, uzizwa ngokushesha engakhululekile. Uzwa ukuthi izenzo zakhe ezedlule zazinokungavuthwa okukhulu—lona impela uhlobo lokonakala olunenga uNkulunkulu. Usanda kufuna ukwanelisa uNkulunkulu, kodwa nakuba ezimisele kakhulu, akanawo amandla futhi akakwazi okufanele akwenze. Engenalwazi, unikwe ukuzimisela okusha. Yilona umphumela wokufunda la mazwi uma umuntu ekhululekile.

Kolunye uhlangothi, uNkulunkulu uthi uSathane uhlanya ngokwedlulele, kanti kolunye uhlangothi uthi iningi labantu aliyiguquli imvelo yalo endala. Kulokhu, kusobala ukuthi izenzo zikaSathane zivezwa ngomuntu. Kanjalo, uNkulunkulu uhlala ekhumbuza umuntu ukuthi angabi nokuzitika, ukuze angadliwa nguSathane. Lokhu akuyikho kuphela ukubikezela ukuthi abanye abantu bayohlubuka, kuphinde kube yinsimbi yokwexwayisa bonke abantu ukuba babeke eceleni ngokushesha okwedlule bafune okwanamuhla. Akukho umuntu ofuna ukubuswa ngamadimoni, ngakho izwi likaNkulunkulu liphinde libe yisexwayiso nokukhuzwa kubo. Nokho, lapho iningi labantu liqhela liya eqophelweni eliphikisana kakhulu nokuyikho, libeka ukubaluleka okukhulu kulelo nalelo zwi lokugcina likaNkulunkulu, uNkulunkulu Yena uthi, “Iningi labantu lilindele ukuba ngilembulele izimfihlakalo ezengeziwe ukuze lisuthise amehlo. Nokho, uma ningaziqonda zonke izimfihlakalo zezulu, yini eningayenza ngalolo lwazi? Ingabe lungakhulisa uthando lwenu Ngami? Ingabe lungavuthisa uthando lwenu Kimi?” Kulokhu kusobala ukuthi umuntu akasebenzisi izwi likaNkulunkulu ukwazi nokuthanda uNkulunkulu, kodwa ukwandisa izimpahla “ezinqolobaneni yakhe encane.” Ngakho, ukusebenzisa kukaNkulunkulu umushwana othi “ukuze lisuthise amehlo” ukuchaza ukungahambisani komuntu nokwejwayelekile okukhombisa ukuthi uthando lomuntu kuNkulunkulu alukabi msulwa ngokuphelele. Ukuba uNkulunkulu akazembulanga izimfihlakalo, umuntu ubengeke abone kubaluleka emazwini Akhe, kodwa ubeyovele awathi halamuzi nje, awajeqeze nje kube sengathi ubuka izimbali ebe egibele ihhashi eligabavulayo. Ubengeke athathe isikhathi sokucabangisisa etshise amazwi Akhe. Abantu abalazisi izwi likaNkulunkulu. Abahambi ibanga elide ukudla nokuphuza amazwi Akhe, kodwa bawakha phezulu. Kungani uNkulunkulu ekhuluma manje ngendlela eyehlukile kunasezikhathini ezedlule? Yini konke kuwulimi olungaqondakali? Nasi nje isibonelo: “umqhele” emshweni othi “ngeke ngimane ngiqhelise umuntu ngala magama.” “igolide elimsulwa” emshweni othi “ukhona ongazitholela igolide elimsulwa enziwe ngalo amazwi Ami,” ukusho Kwakhe ngaphambili ukuthi “ukuhlaziya” emshwaneni othi “ngaphandle kokwedlula kunoma yikuphi ukuhlaziywa uSathane” neminye imishwana enjalo. Umuntu akaqondi ukuthi kungani uNkulunkulu ekhuluma kanje. Akaqondi ukuthi kungani ekhuluma ngendlela enamahlaya, ukuncokola nokuchukuluza. Lokhu kuyisibonakaliso soqobo senhloso yenkulumo kaNkulunkulu. Kusuka ekuqaleni kuze kube manje, umuntu yilokhu engakwazi ukuqonda izwi likaNkulunkulu futhi sekubonakele ukuthi izwi likaNkulunkulu laliqinile lesabeka. Ngokwengeza inhlansana nje yokuncokola—ukwenza amahlayana lapha nalaphaya—uyakwazi ukwenza umoya ube mnandi ngezwi lakhe enze umuntu akhulule imisipha yakhe ngandlela thize. Ngokwenzenjalo, uyakwazi ukuthola umphumela omkhudlwana, aphoqe ukuthi umuntu acabangisise ngezwi likaNkulunkulu.

Okwedlule: Isenezelo: Isahluko 1

Okulandelayo: Isahluko 11

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp