Isahluko 31

Isimo sikaNkulunkulu sikhona kuwo wonke amazwi kaNkulunkulu, kodwa okubaluleke kakhulu emazwini Akhe ukwambula ubumbuka bawo wonke umuntu bese ebeka obala izinto ezifana nokungalaleli kwabo, ukungazithobi, ukwenza okungemukelekile, ukungabi mnene, kanye nokungakwazi ukumthanda uNkulunkulu ngeqiniso. Kungukuthi, amazwi kaNkulunkulu asefike ezingeni lokuthi uthi imbobo nembobo ezikhunjeni zabantu iqukethe ukumelana noNkulunkulu, ngangokuthi nemithambo yabo iqukethe ukuduba uNkulunkulu. Uma abantu bengakuzami ukukucwaninga lokhu, bazohlala bengakwazi, futhi ngeke bakwazi ukukubeka eceleni. Okusho ukuthi, igciwane lokuphikisa uNkulunkulu lizokwanda kubo ize ekugcineni, libe sengathi liyizinhlayiya ezimhlophe zegazi esezidle izinhlayiya ezibomvu, zishiya umzimba wonke weswele izinhlayiya ezibomvu; ekugcineni, babulawe yisifo sokungakheki kwamathambo. Lesi yisimo sempela somuntu, futhi akekho noyedwa ongaphika. Ngokuthi bazalelwe ezweni lapho udrako omkhulu obomvu elele ezisongile khona, kukhona okungenani into eyodwa kumuntu ngamunye efanele ibe yisibonelo sesibiba sikadrako omkhulu obomvu. Ngakho, kuleli banga lomsebenzi, into ebaluleke kakhulu emazwini kaNkulunkulu selokhu kwaba yikho ukuthi uzazi wena, uzishiye eceleni, bese uba yinkosi wena, bese uzibulala. Kungashiwo ukuthi lona ngumsebenzi kaNkulunkulu ophambili ezinsukwini zokugcina, nokuthi lo mzuliswano womsebenzi ungoqondakala kunayo yonke eminye nosetshenzisisiwe kuyo yonke—okukhombisayo ukuthi uNkulunkulu usezinhlelweni zokubeka lesi sikhathi esiphelweni. Akukho noyedwa obekulindele lokhu, kodwa futhi kuyinto abebeyibhekile emizweni yabo. Nakuba uNkulunkulu engazange asho ngokusobala, imizwa yabantu mihle ngezinga eliphezulu—bahlala benomuzwa wokuthi isikhathi sifushane. Ngingasho ukuthi uma umuntu eba nomuzwa ophakamayo walokhu, uba nolwazi oluphakamayo futhi ngalesi sikhathi. Akukhona ukubona umhlaba njengento ejwayelekile bese ngalokho uphikisa amazwi kaNkulunkulu; kunalokho, ukwazi okuqukethwe ngumsebenzi kaNkulunkulu ngendlela uNkulunkulu asebenza ngayo. Lokhu kunqunywa yiphimbo lamazwi kaNkulunkulu. Kunemfihlo ephinjeni lokushiwo nguNkulunkulu, njengoba kungekho noyedwa osekutholile kanti ngeqiniso yikhona okulukhuni kunakho konke ukuthi abantu bangene kukho. Ingqikithi yesizathu esenza abantu bangawaqondi amazwi kaNkulunkulu ukuthi bahlala bengenalo ulwazi lwephimbo uNkulunkulu akhuluma ngalo—uma bengayiqondisisa le mfihlo, bazokwazi ukuba nakho ukuwaqonda amazwi kaNkulunkulu. Amazwi kaNkulunkulu njalo alandela umgomo owodwa: ukwenza abantu bazi ukuthi amazwi kaNkulunkulu ayikho konke, axazulula bonke ubunzima bomuntu ngamazwi kaNkulunkulu. Ohlangothini lukaMoya, uNkulunkulu wenza izenzo Zakhe zibe ngeziqondile, ohlangothini lomuntu, uveza obala indlela abantu abaqonda ngayo, ohlangothini lukaMoya, uthi umuntu akayinaki intando Yakhe, bese kuthi uma kusukelwa ohlangothini lomuntu, athi usezwile ubumnandi bukashukela, ubumuncu, ukubaba, kanye nephunga elinamandla lesinongo samava omuntu, futhi uza esemoyeni futhi ahambe nemvula, ukuthi uhlangabezane nokusuhshisa komndeni, waphinda wahlangabezana nomqansa kanye nomehlelo wempilo. La magama yiwo akhulunywa eqhanyukelwa ezinhlangothini ezahlukahlukene. Uma ekhuluma nabantu bakaNkulunkulu, kufana nomgcini-ndlu ekhuluma nezigqila, noma njengesenzo sikasomahlaya; amazwi Akhe ashiya abantu benobuso obubomvu, kungekho lapho bezocasha khona ngenxa yehlazo, kungathi babanjiwe ngabomthetho ukuba bakhiphe ubufakazi bekhulunyiswa ngokuhlukunyezwa okubi. Uma ekhuluma nabantu bakaNkulunkulu, uNkulunkulu uba ngongavimbeleki njengabafundi beyunivesithi abasesitelekeni bechaya amahlazo angaphakathi kuhulumeni ophethe konke. Uma wonke amazwi kaNkulunkulu abenombhingqo, bekuzoba nzima ukuthi abantu bawemukele; ngakho, amazwi akhulunywe nguNkulunkulu aqondile ngqo, awanaphutha kumuntu, kodwa akhomba isimo esiyiso somuntu ngokuqondile—okukhombisayo ukuthi uthando lukaNkulunkulu ngomuntu aluwona nje amazwi, kodwa luyiqiniso. Nakuba abantu belihlonipha iqiniso, akukho lutho oluyiqiniso ngothanda lwabo kuNkulunkulu. Yilena into ayeswele umuntu. Uma uthando lwabantu kuNkulunkulu lungelona olweqiniso, ukupheleliswa kwakho konke kuzoba ngokungenalutho nokukhohlisayo, kube sengathi konke bekuyonyamalala ngenxa yalokhu. Uma uthando lwabo ngoNkulunkulu belwedlula umkhathi, bekuyoba njalo futhi ngezinga nobunjalo babo, futhi nawo la mazwi, abeyoba liqiniso, angabi ngangenalutho—uyakubona lokhu? Sewuke wazibona izidingo zikaNkulunkulu kumuntu? Umuntu kumele angajabuleli nje izibusiso zezinga lakhe, kodwa aphile iqiniso lezinga akulo. Lokhu yikho uNkulunkulu akucelayo kubantu bakaNkulunkulu, nakuye wonke umuntu, kanti akuwona nje amazwi ayithiyori engenalutho.

Kungani uNkulunkulu esho lolu hlobo lwamazwi lapho ethi: “kungathi konke eNgikwenzayo kuwumzamo wokubajabulisa, umphumela walapho kube ukuhlaziseka njalo yizenzo zaMi”? Uyakwazi na ukukhuluma ngeqiniso lomuntu ehlelwa ukwenyanya uNkulunkulu? Ekuqondeni kwabantu, umuntu noNkulunkulu “basothandweni olunzulu,” kanti namhlanje, ukulangazelela kwabantu amazwi kaNkulunkulu kufike ezingeni lapho abantu befisa khona ukumgwinya uNkulunkulu ngomthamo owodwa—kuthi kunjalo uNkulunkulu asho la mazwi anomusa alandelayo: “Umuntu uyaNgedelela. Kungani uthando Lwami lukhokhelwe ngenzondo yomuntu?” Lokhu akukhona ukubekelela isimbiwa ngaphakathi kumuntu? Lokhu akukhona okumele kumbiwe? Lokhu ukuphambuka okulandelwa ngabantu, kuwudaba olukhulu oludinga ukuxazululwa, futhi kuyibhubesi elimi endleleni yolwazi lomuntu ngoNkulunkulu futhi okumele lisuswe kumuntu—akukhona lokhu okudinga ukwenziwa? Ngoba, njengengulube, umuntu akanakho ukukhumbula, futhi ufisa njalo injabulo, uNkulunkulu upha umuntu umuthi wokwelapha ukukhohlwa—ukhuluma kakhulu, usho okuningi, futhi ubamba abantu ngezindlebe abenze balalelele eduze, bese ebafaka izinsiza zokulalela. Ngokwamanye amazwi Akhe, ukukhuluma kanye kuphela akukunakuzilungisa izinkinga; kumele kushiwo ngokuphindaphinda, kuthiwe “Ngakho, abantu bahlala behlushwa ukukhohlwa ezimpilweni zabo, nezinsuku zempilo yomuntu kaziqondile.” Ngale ndlela, abantu bangasindiswa esimeni lapho “befunda khona uma benesikhathi, belalela uma bengenzi lutho, bese beyekwa uma bengenaso isikhathi; uma amazwi ekhulunywa namhlanje, bayalalela, kodwa bazowahlehlisela le emuva emiqondweni yabo, uma bengawakhulumanga ngakusasa.” Uma kukhulunywa ngemvelo yabantu, uma namuhla uNkulunkulu ekhulume ngesimo sabo sangempela base beba nolwazi olunzulu ngalokho, bazogcwaliswa ngokuzisola—kuthi kamuva, babuyele ezindleleni zabo zakudala, belahla amazwi kaNkulunkulu emoyeni bese bekudlala futhi lokhu okungenhla uma sebekhunjuzwa. Ngakho, uma ukhuluma noma usebenza, ungalikhohlwa leli qiniso ngomuntu; kungaba yiphutha ukubeka eceleni leli qiniso ngenkathi usebenza. Ukwenza wonke umsebenzi, kubaluleke kakhulu ukhulume ngokukwazi ukuqonda kwabantu. Ikakhulukazi, kumele wengeze imibono yakho emazwini kaNkulunkulu bese uwaqoqa. Lena yindlela yokuhlinzeka abantu kanye nokubavumela ukuba bazazi bona uqobo. Ekuhlinzekeni abantu okumaqondana nokuqukethwe ngamazwi kaNkulunkulu, akuyukuvikeka ukuqonda isimo sabo seqiniso. Emazwini kaNkulunkulu, kwanele ukuqonda isimo sangempela sabantu bese ubahlinzeka—kanjalo, angizukusho lutho olunye ngamazwi kaNkulunkulu ukuveza ukuthi “uNkulunkulu wasamukela isimemo sokuthi ahlale etafuleni lesidlo emhlabeni.”

Okwedlule: Isahluko 30

Okulandelayo: Isahluko 32

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp