Isahluko 36

Kuyashiwo ukuthi uNkulunkulu uqalile manje ukusola umuntu, kodwa akekho okwazi ukukuqinisekisa lokhu, akekho onempendulo ecacile ukuthi ngabe inhloso yokuqala yokusolwa kwaKhe seyimehlele yini umuntu. UNkulunkulu uthi, “Umuntu akakaze athole lutho ekusolweni Kwami, ngoba akenzi lutho ngaphandle kokuthwala ijoka emqaleni wakhe ngazo zombili izandla, amehlo womabili enamathele Kimi, kungathi iso lakhe liqaphele isitha—kukulesi sikhathi kuphela lapho ngizwa khona ukubuna kwakhe. Kungenxa yalokhu ukuthi ngithi akekho oseke wema waqina phakathi kwezilingo.” UNkulunkulu utshela umuntu ngamaqiniso okusolwa okusazomehlela, kanti wenza kanjalo ngokujulile kakhulu, ngaphandle kokugwema ngisho eyodwa into. Njengokungathi sebengene ekusolweni futhi abakwazi ukuma baqine. UNkulunkulu uhlinzeka kumuntu isithombe esicacile sezici ezimbi zomuntu. Kungenxa yalokhu bezwa benokucindezeleka: Njengoba uNkulunkulu ethi umuntu akakaze ame aqine ekuphahlweni yizilingo, ngingenza kanjani ukuthi ngephule irekhodi, ngamukeleke Manje, bayaqala ukucabanga. Eqinisweni, kufana nokushiwo nguNkulunkulu lapho ethi: “Ngabe sengibafikise ekugcineni komgwaqo na?” Ngempela, uNkulunkulu ubaholele bonke abantu ekupheleni komgwaqo, ngakho, nakunembeza wabo, njalo abantu bakholelwa ekuthini uNkulunkulu unesihluku futhi akanabuntu. UNkulunkulu udobe bonke abantu wabakhipha olwandle lwezifo zomhlaba, okuzothi emva kwalokho, “ukuvika izingozi, ngabulale zonke izinhlanzi ezasezibanjiwe, emva kwalokho zalalela izinhlanzi, kazangaba nakho ngisho nokuncane ukukhononda.” Ingabe lokho akulona yini iqiniso? UNkulunkulu ubadonsile bonke abantu wabakhipha olwandle lokufa olubabayo wabafaka komunye ulasha wokufa, ubadonsile bonke wababeka “emqengqeni wombulali,” ubaphoqelele ukuba babe sekupheleni komgwaqo—kungani engakwenzi lokhu kwamanye amadoda kanye nabantu bakaNkulunkulu? Iyini inhloso yaKhe ekufezeni umsebenzi onjalo ezweni likadrako omkhulu obomvu? Kungani isandla sikaNkulunkulu “singesilimaza” kangaka? Akumangazi ukuthi uthi “Ngenkathi ngimdinga umuntu, uhlala njalo ecashile. Kungathi akakaze abone izehlakalo ezethusayo, kungathi wazalelwa emakhaya akazi lutho ngezindaba zasedolobheni.” Eqinisweni, ngaphakathi kubo abantu bayabuza: “Liyini isu likaNkulunkulu ekwenzeni kwaKhe lokhu? Akasibulali yini? Futhi iyini inhloso? Kungani izinyathelo zomsebenzi waKhe ziza ziziningi kangaka nangejubane, kungani futhi engenamusa nakancane kithina?” Nakuba kunjalo abantu abanaso isibindi sokukusho lokhu, futhi ngenxa yokuthi amazwi kaNkulunkulu enza ukuthi balahle imicabango enjalo, abemuka ithuba lokukucabanga kakhudlwana lokhu, abanayo enye indlela ngaphandle kokuyibeka eceleni imicabango enjalo. Ngukuthi nje uNkulunkulu wembula konke ukuqonda komuntu, ngakho abantu bakubuyisa ngempoqo ukuqonda kwabo, engayivumeli ukuthi isondele. Kushiwo ekuqaleni ukuthi laba bantu bayinzalo kadrako omkhulu obomvu. Eqinisweni, uma kucaciswa kahle, bawumfanekiso kadrako omkhulu obomvu. Ngenkathi uNkulunkulu ebaphoqelela ukuba babe sekupheleni komgwaqo bese ebahlaba, emva kwalokho—ngaphandle kokuthandabuza—umoya kadrako omkhulu obomvu awusenalo ithuba elinye lokusebenza kubo. Ngale ndlela, uma abantu behamba beya ekupheleni komgwaqo kungenkathi lapho futhi udrako omkhulu obomvu ezophetha ngokufa khona. Kungashiwo ukuthi usebenzisa ukufa ukukhokhela “umusa omkhulu” kaNkulunkulu—okuyinhloso yomsebenzi kaNkulunkulu esizweni sikadrako omkhulu obomvu. Lapho abantu sebekulungele ukunikela ngezimpilo zabo, yonke into iphenduka umdlalo, kanti akekho noyedwa ongaba ngcono kunabo. Yini engaba ngebalulekile kakhulu kunempilo? Kusho ukuthi, uSathane ube engasakwazi ukwenza okuningi kubantu, akukho angakwenza kumuntu. Nakuba, encazelweni “yenyama” kushiwo ukuthi inyama yoniwe nguSathane, uma abantu bezinikela ngokwabo, akekho noyedwa, ongadudulwa nguSathane, ongabathola kangcono—kanti kulesi sikhathi, inyama izokwenza omunye wemisebenzi yayo, iqale ukuthola ngokusemthethweni isiqondiso soMoya kaNkulunkulu. Lena inqubo enesidingo, kumele yenzeke ngokulandelana kwayo; kungenjalo, uNkulunkulu akayikuba nakho ukusebenza nenyama enenkani. Lokho kungukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngale ndlela, bonke abantu bangene ezimeni zanamuhla benganakile. Ngabe kanti akuyena uNkulunkulu ohole umuntu wamusa “ekugcineni komgwaqo”? Kungenzeka yini ukuthi lona umgwaqo omusha ovulwe ngumuntu? Uma kubhekwa izinto enihlangabezane nazo, kuyabonakala ukuthi kini, uNkulunkulu usebenzisa izindlela ezinonya kakhulu, lapho kubonakala khona ukulunga kukaNkulunkulu. Ningenza kanjani ukuthi ningadumisi? Okwenziwa nguNkulunkulu kinina kuvumela abantu ukuthi babone isimo esihle sikaNkulunkulu; ngabe lokhu akuvezi ukuthanda kwenu uNkulunkulu? Namuhla, empambanamgwaqo lapho inkathi endala isekhona nalapho inkathi entsha isazozibonakalisa khona, nimfakazela kanjani uNkulunkulu? Ngabe indaba ebaluleke kangaka kayifanele ukubhekwa ngeso elijulile? Nisakucabanga okunye, okuyizindaba ezicindezelayo? Kungani uNkulunkulu ethi, “Nakuba abantu bake bakhala bethi ‘Makuhlale njalo ukuqonda,’ akekho ochitha isikhathi esiningi ecwaninga igama elithi ‘ukuqonda,’ okukhombisa ukuthi abantu abanayo intshisekelo yokungithanda”? Uma ngabe uNkulunkulu akazange azisho izinto ezinjengalezi, beningeke yini nizame ukuqonda inhliziyo kaNkulunkulu ngentando yenu?

Nakuba, ezikhathini ezisanda kudlula, abanye babantu kungase kube bazazile kancane izinjongo nokubaluleka kukaNkulunkulu esenyameni, Ngingasho ngokuqiniseka ukuthi uma uNkulunkulu ubengakhulumanga ngokuqondile kumuntu, akukho noyedwa obezokwazi ukuqagela izinjongo nokubaluleka kukaNkulunkulu osenyameni. Kuliqiniso elimiyo lokhu. Akukakanicaceli? Konke uNkulunkulu akwenzayo kubantu kuyingxenye yesu laKhe lokuphatha—nokho abakwazi ukuqonda ngokunembayo intando kaNkulunkulu. Lobu ubuthakathaka bomuntu, kodwa uNkulunkulu akadingi ukuthi abantu bakwazi ukwenza noma yini, ucela kuphela ukuthi balalele “ukuyala kukadokotela.” Lesi yisidingo sikaNkulunkulu. Ucela bonke abantu ukuba baqonde impilo yomuntu yeqiniso, ngokuba “ezinhliziyweni zabo, amagama athi “impilo yomuntu” awekho, abawanaki, bamane bakhathale ngamazwi Ami, njengokungathi ngiyisalukazi esihhemayo.” Emehlweni abantu, amazwi kaNkulunkulu afana nento esetshenziswa nsukuzonke, abawathathi nakancane njengabalulekile. Ngakho, abantu abakwazi ukuwasebenzisa amazwi kaNkulunkulu—baphenduke abantukazana abahluphekayo abazi iqiniso kodwa bengalisebenzisi. Leli phutha lomuntu lilodwa ngaleyo ndlela lanele ukuletha ukwenyanya kukaNkulunkulu kwesikhathi esithile, ngakho futhi uthi ezikhathini eziningi abantu abanaki amazwi aKhe. Noma kunjalo ekuqondeni kwabo, abantu bacabanga lokhu okulandelayo: “usuku nosuku sicwaninga futhi sicubungule amazwi kaNkulunkulu, kungashiwo kanjani ukuthi kasinaki? Akukhona ukungabi nabulungiswa kithi lokho?” Kodwa-ke make nginehlukanisele kancane—abantu bazophenduka ubuso bube bomvu. Ngenkathi befunda amazwi kaNkulunkulu, banqekuzisa amakhanda abo, bakhothame futhi bafune, bafane njengesimaku sithobela amazwi omniniso. Ngakho, kulesi sikhathi, abantu bazizwa bengafanele, izinyembezi zehla ebusweni babo, kungathi bafisa ukuphenduka ekoneni kwabo baqale kabusha—kodwa kuthi lapho kudlula lesi sikhathi, ukufana nezimvu kwabo kunyamalale masinyane, indawo yakho ithathwe ukuziphatha njengempungushe, babeke amazwi kaNkulunkulu eceleni, futhi bakholwe njalo yizindaba zabo esezithatha indawo yokuqala kubo, izindaba zikaNkulunkulu zigcine, kanti ngenxa yalezi zenzo zabo, abenzi nakanye ukuthi bawenze amazwi kaNkulunkulu. Uma amaqiniso esefika, belula izindololwane bazikhiphele ngaphandle[a]—lokhu kungukuthengisa abantu bakubo—akumangazi ukuthi uNkulunkulu uthi, ‘Ugijima abheke ngakolunye uhlangothi’ ebe ethembele ekondliweni Yimi.” Kukulokhu kuphela lapho kubonakala khona ukuthi akukho phutha nelincane emazwini kaNkulunkulu, ayiqiniso eliphelele, futhi aqukethe hhayi nelincane ihaba, kepha abukeka kungathi ngandlela thile akhulunywe ngokungenele, ngokuba ubunjalo bomuntu buncane kakhulu, akakwazi ukuwamela. Amazwi kaNkulunkulu ahlinzeke ubunjalo bezinto zomuntu ngokucace njengekristalu, ngaphakathi nangaphandle, afakile isitembu ngokucacile kakhulu, eveza ukufana okusobala kakhulu nokufaneleka kwempela ekubeni ngubuso obudala bukaSathane. Ukuthi nje ethubeni lamanje, abantu basazobona konke ngokucacile, ngakho kuyashiwo ukuthi kabafikelanga ukuzazi bona uqobo. Kungenxa yalokhu ukuba ngisho ukuthi lesi sifundo kumele siqhubeke, asikwazi ukuma. Ngenkathi abantu befinyelela ekuzazini bona uqobo kuzoba yisikhathi uNkulunkulu ekhazimuliswa. Kulula ukukuqonda lokhu—asikho isidingo sokuthi ngingene emininingwaneni ejulile ngakho. Kukhona, nokho, into eyodwa engizonikhumbuza ngayo, ukuthi siqale ngokufunda la mazwi kaNkulunkulu: “Ezikhathini zanamuhla, abantu abakaze bangithathe njengomcebo kubo, anginandawo ezinhliziyweni zabo. Bangakwazi yini ukungikhombisa uthando lweqiniso ezinsukwini ezizayo zenhlupheko?” Asho ukuthini la mazwi? UNkulunkulu uthi ukusolwa kusazokwehlela kumuntu, okukhombisa ukuthi kukhona emazwini incazelo yangaphakathi ethi “ukuzazi wena uqobo”—ingabe ukubonile lokhu? Ngaphandle kokudlula ebunzimeni kanye nasekucwengeni, kungenzeka kanjani ukuthi abantu bazazi bona uqobo? Akuwona yini amazwi angenalutho lawa? Ingabe ukwethemba ngempela konke okukhulunywa nguNkulunkulu? Uyakwazi yini ukwehlukanisa amazwi kaNkulunkulu? Kungani uNkulunkulu ekhuluma aphindaphinde izinto ezinjengokuthi “Uma ngibona izenzo zomuntu, ukuphela kwento engiyikhethayo ukuhamba,” bese futhi ethi “Kuba kuphela ngenkathi izintaba ziwa nomhlaba wehlukana phakathi lapho abantu becabanga khona amazwi Ami, kuba yileso sikhathi kuphela lapho bevuka khona emaphusheni, kodwa isikhathi sisuke sesifikile, sebegwinywa yizikhukhula ezinkulu, imizimba yabo seyintanta phezu kwamanzi”? Kungani uNkulunkulu ethi, “abantu bacabanga” angasho ukuthi “abantu bayawalalela amazwi Ami”? Ngabe kuliqiniso ukuthi izintaba ziyawa nomhlaba wehlukana phakathi? Abantu abawanaki amazwi anjalo, bawadedela ashibilike adlule, bese beba “nobunzima” obukhulu emazwini kaNkulunkulu. Lokhu kungoba abacabangi nakancane. Ngenxa yalokhu kwehluleka komuntu, uNkulunkulu uthi “kiMina, lokhu ‘kwethuka’ okungenazisihla zezinyembezi, sekumkhalele izinyembezi eziningi umuntu. Umuntu, nokho, akazi lutho ngalokhu.” Ngenxa yokuthi abantu kabawanaki amazwi kaNkulunkulu, uNkulunkulu usebenzisa okuthile ukubakhumbuza bese ethola ‘usizo’ lwabo.

Okwamanje, angizuphrofetha ngokuthuthuka komhlaba, kodwa ngizobikezela okuthile ngokudalelwa komuntu. Kangicelanga yini ukuthi abantu mabazazi bona uqobo? Kungachazeka kanjani lokhu? Bazozazi kanjani abantu? Uma uNkulunkulu ehlupha abantu kakhulu ngangoba bazithola bephakathi kwempilo nokufa, bayaqala ukwazi okuthile ngenjongo yempilo yomuntu, bese beyizonda impilo yomuntu, bakholwe ukuthi yonke impilo yomuntu kayilutho ngaphandle kokuba yiphupho nje. Bakholwa ngukuthi impilo yomuntu kayinanhloso futhi kayinakubaluleka. Impilo yomuntu iyiphupho kuphela, iyiphupho lapho ukulila nenjabulo kufika khona kuphinde kuhambe. Namuhla, abantu baphilela uNkulunkulu, kodwa ngoba baphila emhlabeni womuntu, impilo yansuku zonke iba engenalutho nengenakubaluleka, yenza bonke abantu bazi ukuthi ukujabulela uNkulunkulu kungukunethezeka okuzedlulelayo—kodwa uma, ngenkathi bengamjabuleli uNkulunkulu, kungukuthi basaphila enyameni nakuba bemkholwa, yini ebalulekile lapho? Enyameni, akunalutho yonke indawo ngomuntu. Emva kokuhlangabezana nokwehlukaniswa kwempilo yomuntu, ngokufika kweminyaka yobudala izinwele zomuntu ziphenduka zibe mhlophe, ubuso bugcwale imibimbi, izandla zakhe zembozwe wulwelwesi oluqinile. Noma ngabe uzidele kakhulu, akazuzi lutho olubonakalayo. Ngakho, amazwi Ami adlulela esinyathelweni esinye: Konke akunalutho kulabo abaphila enyameni. Lokhu kungaphezu kokungabaza, akukho sidingo futhi sokuthi wena ukucwaninge ngokujulile. Lokhu wubuso obudala bempilo yomuntu le uNkulunkulu akhulume ngayo izikhathi eziningi kakhulu. UNkulunkulu akawagwemi la mazwi ngenxa yobuthakathaka bomuntu, kodwa wenza izinto ngokwesu laKhe lokuqala. Mhlawumbe, amanye amazwi ayabaxhasa abenze baqonde abantu, futhi mhlawumbe amanye aphikisana ngqo nalokho, ngamabomu enze abantu baphile esimeni sokufa—futhi-ke kungenxa yalokhu ukuthi babe sekuhluphekeni. Ngakho, mhlawumbe uNkulunkulu uletha “isu ledolobha elingenalutho”[b] ukwedukisa abantu ngamabomu, kodwa abakwazi ukukubona lokhu nakancane nje, basala besebumnyameni. Kanti futhi, konke kusezandleni zikaNkulunkulu, kuthi noma abantu bekwazi lokhu, bayokwazi kanjani ukuzivikela kukho? Ngakho, akukho noyedwa okwazi ukubalekela usongo lokusolwa—yini abebengayenza? Bangathobela amalungiselelo kaNkulunkulu—ngabe lokho akungoba uNkulunkulu ebabambile kungukuthi ngeke abadedele? Kungaphansi kwezinsongo zikaNkulunkulu kuphela lapho bonke abantu bekwazi khona ukulandela izindlela zemvelo—akunjalo? Uma kungeve kungamalungiselelo kaNkulunkulu, abantu bangakwenza kanjani ukuthi bakwamukele ngeqholo ukwahlulwa? Ngeke kube yihlaya lokho? Impilo yomuntu nakuba ingenalutho, ngubani ozimiselayo, ngenkathi impilo yabo inethezeka, ukushiya ngemuva buthule umhlaba womuntu futhi uzame ukunelisa uNkulunkulu? Abantu bafa behaqwe ukuphela kwethemba—ngubani oke wafa ehaqwe yinala, enakho konke angahle akufise? “Yinkanyezi” kuphela eyehla esibhakabhakeni okuyiyo yodwa engaba nalokho. Uma kuqhathaniswa nempilo yezulu lesithathu, emhlabeni impilo ingafana nokuphila esihogweni—yisimo esinjalo esingenza afise ukufa. Nokho ngubani namuhla oyinkanyezi yasezulwini? Nami, futhi, “akungicaceli” lokhu. Masithungathe sibone ukuthi singamthola yini oyedwa. Uma etholakala, Ngicela abantu bangisize sithole ukuthi uyazimisela yini ukwenza izinto ngokwamazwi Ami angenhla. Nginesexwayiso nokho kini ngamunye: Akukho noyedwa wenu okumele azenze “iqhawe” futhi azikhethele ukufa, niyaqonda?

Imibhalo yaphansi:

a. “Ukwelula indololwane uyikhiphe” yisaga saseChina, esisho ukuthi umuntu usiza abanye ebe elimaza abantu bakubo abasondelene nalowo muntu, isibonelo ngabazali, abantwana, izihlobo noma azalana nabo.

b. “Isu ledolobha elingenalutho” yisunqangi lamashumi amathathu nambili kumasunqangi angamashumi amathathu nesithupha eShayina yasendulo. Leli su libandakanya ukuziqinisa ukuze ufihlele isitha ukuthi awukulungele ukulwa.

Okwedlule: Isahluko 35

Okulandelayo: Isahluko 38

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp