K. Ngendlela Yokuzuza Ukwazi UNkulunkulu

453. Izigaba ezintathu zomsebenzi ziwumsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa isintu sewuwonke. Umuntu kufanele awazi umsebenzi kaNkulunkulu kanye nesimo sikaNkulunkulu emsebenzini wensindiso, futhi ngaphandle kwaleli qiniso, ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lungamazwi ayize, aluyilutho ngaphandle kokubeka imibono engasho lutho. Ulwazi olunjalo alukwazi ukugqugquzela noma ukunqoba umuntu, ulwazi olunjalo luphambene nokuyikhona, futhi akusilona iqiniso. Lungaba luningi kakhulu, luphinde lube mnandi uma uluzwa kodwa uma lumelene nesimo sikaNkulunkulu semvelo, ngakho uNkulunkulu ngeke akuhawukele. Ngeke kuphela angaluncomi ulwazi lwakho, kodwa futhi uyoziphindiselela kuwe ngokuba isoni esimhlambalazayo. Amazwi okwazi uNkulunkulu awakhulunywa kalula. Noma ungaba nolimi olulula futhi uyigagu, futhi nakuba amazwi akho ehlakaniphe ngendlela yokuthi uyakwazi ukuthi into emnyama imhlophe futhi emhlophe imnyama, kodwa awunakho okudingekayo uma sekuza ekutheni ukhulume ngolwazi lukaNkulunkulu. UNkulunkulu akayena lowo ongamehlulela ngamawala, noma umncome ngokunganaki, noma umlulaze ngokunganaki. Uncoma noma ubani nowonke wonke, kepha uyazabalaza ukufika emazwini afanelekile ukuchaza ubukhulu bobuhle nomusa kaNkulunkulu—yilokhu okufundwa izo zonke izehluleki. Nakuba kunochwepheshe bezilimi abaningi abangakwazi ukuchaza uNkulunkulu, ubuqiniso kwalokho abakushoyo, kuncane ngangesilinganiso sekhulu kuneqiniso elikhulunywa abantu baNkulunkulu futhi abanolwazi lwamagama olimi olunomkhawulo, kepha bebe benolwazi nokubona okuningi. Ngakho kuyabonakala ukuthi ulwazi lukaNkulunkulu lutholakala ngokushaya esikhonkosini nokuba yikho uqobo, hhayi ukusetshenziswa kwamagama okuhlakanipha noma ukuba nolwazi lwamagama olimi olunothile, nokuthi ulwazi lomuntu nolwazi lukaNkulunkulu akuhlobene neze. Isifundo sokwazi uNkulunkulu siphakeme ukudlula noma isiphi esesayensi yesintu. Kuyisifundo esingafunyanwa abambalwa kakhulu balabo abafuna ukwazi uNkulunkulu, futhi ngeke kwatholwa inoma umuphi nje umuntu onethalente. Ngakho akufanele nibheke ukwazi uNkulunkulu nokushisekela iqiniso njengokuthi kungamane kwenziwe yingane. Mhlawumbe ube nempumelelo ngokuphelele empilweni yomndeni wakho, noma emsebenzini wakho, noma emshadweni wakho, kodwa uma sekuza eqinisweni, nesifundo sokwazi uNkulunkulu, awunalutho esandleni, awufezanga lutho. Ukwenza iqiniso, kungashiwo, kunzima kakhulu kini, futhi ukwazi uNkulunkulu kuyinkinga enkulu impela. Lokhu ubunzima benu, futhi ubunzima isintu sisonke esibhekene nabo. Phakathi kwalabo ababe nokuphumelela okuthile emkhakheni wokwazi uNkulunkulu, cishe abekho abasezingeni elifanele ncamashi. Umuntu akazi ukuthi kuchaza ukuthini ukwazi uNkulunkulu, noma ukuthi kungani kunesidingo ukwazi uNkulunkulu, noma iliphi izinga elisho ukuthi sewuyamazi uNkulunkulu. Yilokhu okukhungathekisayo esintwini, futhi ngempela nje kuyimpicabadala enkulu kunazo zonke isintu esibhekene nayo—futhi akekho okwazi ukuphendula lo mbuzo, futhi akekho ozimisele ukuphendula lo mbuzo, ngoba, kuze kube namuhla, akekho phakathi kwesintu osewake waba nempumelelo ekufundeni lo msebenzi. Mhlawumbe, uma impicabadala yezigaba ezintathu zomsebenzi isiveziwe esintwini, kuyovela ngokulandelana iqembu labantu abanamathalente abamaziyo uNkulunkulu. Empeleni, ngethemba ukuthi kunjalo, futhi, ngaphezu kwalokho, Ngiphezu kwenqubo yokwenza lo msebenzi, futhi ngithemba ukubona ukuvela kwabaningi abanamathalente anjalo maduzane. Bazoba yilabo abafakazela iqiniso lalezi zigaba ezintathu zomsebenzi, futhi, empeleni, bayoba ngabokuqala ukufakaza ngalezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Uma abantu abanawo la mathalente anjalo bengekho, ngosuku lokuphela komsebenzi kaNkulunkulu, noma kukhona oyedwa noma ababili, futhi bevumile mathupha ukupheleliswa nguNkulunkulu othathe isimo sesintu, akukho okubuhlungu futhi esinokuzisola ngakho okudlula lokhu—nakuba kuyisithombe sesimo esibi kunazo zonke ezingenzeka. Noma kwenzekani, ngisethemba ukuthi lapho abashisekela ngokweqiniso bangasizuza lesi sibusiso. Kusukela ekuqaleni kwesikhathi, awukaze ubekhona umsebenzi onje ngaphambilini, umsebenzi onje awukaze wenzeke emlandweni wokuthuthuka komuntu. Uma ngempela ungaba omunye wabokuqala kulabo abazi uNkulunkulu, ngeke lokhu kube wudumo oluphakeme kakhulu kuzo zonke izidalwa? Singaba khona esinye isidalwa phakathi kwesintu esingathola ukunconywa okukhulu okudlula lokho kuNkulunkulu? Umsebenzi onje awulula ukuwufeza kodwa usayovuna imivuzo ekugcineni. Ngale kobulili noma ubuzwe babo, bonke labo abakwazi ukuthola ulwazi lukaNkulunkulu ekugcineni, bayothola amaqhuzu amakhulu kakhulu kuNkulunkulu, futhi kuyoba yibo kuphela abayoba negunya likaNkulunkulu. Lokhu umsebenzi wanamhlanje, futhi umsebenzi wangesikhathi esizayo; owokugcina, futhi uphakeme kunayo yonke imisebenzi ezofezwa eminyakeni eyizi-6,000 yokusebenza, futhi uyindlela yokusebenza eveza lonke uhlobo lomuntu. Ngomsebenzi wokwenza umuntu ukuthi azi uNkulunkulu, izigaba ezehlukene zabantu ziyavezwa: labo abazi uNkulunkulu bafanelekile ukuthola izibusiso zikaNkulunkulu futhi bemukele izithembiso Zakhe, kuthi labo abangamazi uNkulunkulu abafanelekile ukuthola izibusiso zikaNkulunkulu nokwamukela izithembiso Zakhe. Labo abazi uNkulunkulu bangabangani abakhulu bakaNkulunkulu, kanti labo abangamazi uNkulunkulu angeke babizwa ngabangani abakhulu bakaNkulunkulu; abangani abakhulu bakaNkulunkulu bangathola noma iziphi izibusiso zikaNkulunkulu, kodwa labo abangebona abangani Bakhe abakhulu akufanele bathole noma imiphi yemisebenzi Yakhe. Noma ngabe izinhlupheko, ukucwengwa, noma ukwahlulelwa, konke ngokokuvumela umuntu ukuthola ekugcineni ulwazi lukaNkulunkulu nokuthi umuntu athobele uNkulunkulu. Yilo mphumela kuphela oyofezeka ekugcineni.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

454. Izinto nobuyena bukaNkulunkulu, ingqikithi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu—konke sekwenziwe kwaziwa emazwini Akhe esintwini. Lapho ezizwela yena amazwi kaNkulunkulu, umuntu kuyothi ngesikhathi ewenza afike ekuqondeni injongo kaNkulunkulu esemazwini uNkulunkulu awakhulumayo, futhi uyoqonda umthombo nesendlalelo samazwi kaNkulunkulu, futhi aqonde aphinde abe nokwazisa umthelela ohloswe ngamazwi kaNkulunkulu. Kubantu, lezi yizo zonke izinto umuntu okumele azizwe, aziqonde futhi afinyelele kuzo, ukuze afinyelele eqinisweni nokuphila, aqonde izinhloso zikaNkulunkulu, abe ngoguqukile esimweni sakhe, futhi akwazi ukulalela ubukhosi namalungiselelo kaNkulunkulu. Khona ngaleso sikhathi umuntu ezizwela, eqonda, futhi, efinyelela kulezi zinto, kancane kancane uyobe esezuze ukuqonda uNkulunkulu, futhi ngaleso sikhathi uyobe esezuze amazinga ehlukene okwazi Yena. Lokhu kuqonda nokwazi akuveli entweni ethile umuntu ayicabangile noma azenzele yona, kodwa kunalokho kuvela, kulokho akwazisayo, akubonayo, akuzwayo, kanye nalokho akufakazelayo ngaphakathi kuye. Kuphela, kungemuva kokwazisa, ukuzibona, ukuzwa, kanye nokuzifakazela lezi zinto, lapho ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu luba nohlonze, ulwazi kuphela lolo aluthole ngalesi sikhathi olungoloqobo, oluyilo futhi oluqinisekile, futhi le nqubo—yokuthola ukuqonda okuyikonakona nolwazi lukaNkulunkulu ngokwazisa, ngokubona, ngokuzwa, nokufakazelana namazwi Akhe—yiyo kanye inhlanganyelo phakathi komuntu noNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lwenhlanganyelo, umuntu ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekubambeni izinhloso zikaNkulunkulu, ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekwazini izinto nobuyena bukaNkulunkulu, ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekwazini ingqikithi kaNkulunkulu, ufinyelela kancane kancane ekuqondisiseni nasekwazini isimo sikaNkulunkulu, ufika ekubeni nencazelo eyiyo kanye nesiqiniseko sangempela, ngeqiniso lokubusa kukaNkulunkulu ngaphezu kwakho konke okudaliwe. Futhi uzuza ukuqonda okunohlonze nolwazi ngobunjalo kanye nesikhundla sikaNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu uyaguqula, isinyathelo ngesinyathelo, imibono yakhe ngoNkulunkulu, angabe esamcabanga Yena ngokumsusela phezu kweze, noma azinikezele ezinsolweni anazo Ngaye, noma ukungamqondisisi Yena, noma ukumgxeka Yena, noma enze izahlulelo Ngaye, noma amngabaze Yena. Ngenxa yalokhu, umuntu uyoba nezinkulumo-mpikiswano ezimbalwa noNkulunkulu, uyoba nokuxabana okumbalwa noNkulunkulu, nokuthi uyokuba nezigameko ezimbalwa lapho eyovukela uNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, ukunakekela komuntu nokulalela uNkulunkulu kuyokhula kakhulu, kanti ukuhlonipha kwakhe okukhulu uNkulunkulu, kuyoba ngokoqobo futhi ngokujulile. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu ngeke nje kuphela athole iqiniso nokubhapathiswa ekuphileni, kodwa ngesikhathi esifanayo uyobuye athole ulwazi lweqiniso ngoNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu ngeke nje kuphela aguqulwe esimweni sakhe nasekutholeni insindiso, kodwa ngesikhathi esifanayo uyobuye athole ukuhlonipha nokudumisa kweqiniso kwesidalwa esidaliwe sikwenza kuNkulunkulu. Ekubeni kade enalolu hlobo lokuhlanganyela, ukholo lomuntu kuNkulunkulu angeke lusaba yinto engazeki, noma isithembiso esinikezwe ngezindebe zomlomo nje, noma uhlobo lokulandela olungenasisekelo nokwenza izithixo; ngalolu hlobo kuphela lokuhlanganyela ukuphila komuntu kuyokhula kufinyelele ekuvuthweni usuku nosuku, futhi yimanje kuphela lapho isimo sakhe siyoguquka ngokuhamba kwesikhathi, nokholo lwakhe kuNkulunkulu, kancane kancane, luyodlula ekungaqondakalini kahle nasokholweni olungaqinisekile lube ukulalela ngeqiniso nokunakekela, luze lufinyelele ekuhlonipheni okukhulu ngempela, futhi umuntu uyobuye, endleleni yokulandela uNkulunkulu, kancane kancane aqhubeke asuke esimweni sokuba ongenzi lutho abe sesimweni sokukhuthala, asuke ekubukeni ngendlela embi aye ekubukeni ngendlela enhle; kungalolu hlobo lokuhlanganyela kuphela umuntu ezifinyelela ukuqonda kwangempela kanye nokuqonda uNkulunkulu, ekwazini uNkulunkulu ngeqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi UNkulunkulu Kuyindlela Eya Ekumesabeni UNkulunkulu Nokudeda Kokubi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

455. Ulwazi ngegunya likaNkulunkulu, amandla kaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu, kanye nengqikithi kaNkulunkulu angeke kufezeke ngokuthembela ekubukeni ngamehlo akho engqondo. Njengoba ungeke uthembele ekubukeni ngamehl0 engqondo ukuze wazi igunya likaNkulunkulu, iyiphi indlela ongathola ngayo ulwazi lweqiniso ngegunya likaNkulunkulu? Ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ngobudlelwano nokuhlanganyela ndawonye, nangokuzwa amazwi kaNkulunkulu, uzoya ngokuya uba nokulizwa kanye nesiqiniseko ngegunya likaNkulunkulu, ngaleyo ndlela uyozuza ukuqonda okuza kancane kancane kanye nolwazi olwandayo njalo ngalo. Lena yiyo yodwa indlela yokuthola ulwazi ngegunya likaNkulunkulu; azikho izindlela ezinqamulelayo. Ukunicela ukuthi ningabuki ngamehlo engqondo akufani nokuthi ngithi hlalani nje niyethile nilinde ukubhujiswa, noma ukunivimba ukuthi nenze noma yini. Ukungasebenzisi ingqondo yakho ukucabanga nokubuka ngamehlo engqondo, kusho ukuthi ungasebenzisi ukucabanga ukuqonda, ukungasebenzisi ulwazi ukucwaninga, ukungasebenzisi isayensi njengesisekelo, kodwa kunalokho, ukunanela, ukuthola iqiniso, nokufakazela ukuthi uphethe ubukhosi phezulu kwesimiselo sakho, nokuthi amandla Akhe ngaso sonke isikhathi ayamfakazela ukuthi unguNkulunkulu weqiniso uqobo Lwakhe, ngamazwi kaNkulunkulu, ngeqiniso, ngakho konke ohlangabezana nakho empilweni. Yiyo kuphela indlela umuntu angathola ngayo ukuqonda uNkulunkulu. Abanye bathi bafisa ukuthola indlela elula yokufeza le nhloso, kodwa niyakwazi ukuyicabanga indlela enjalo? Ngiyakutshela, asikho isidingo sokucabanga: Azikho ezinye izindlela! Indlela ukuthi uqikelele futhi ubekezelele ukwazi nokuthola iqiniso ngokuthi uNkulunkulu unani futhi ungubani ngamazwi wonke awavezayo nangazo zonke izinto azenzayo. Yiyo kuphela indlela yokwazi uNkulunkulu. Ngoba konke uNkulunkulu anakho nayikho, nazo zonke izinto zikaNkulunkulu, akulona nje igobongo futhi akunalutho—kodwa kuyaphila.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

456. UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini. Ushintsho lwenzeka esimweni somuntu ngemisebenzi eyehlukene kaNkulunkulu; ngaphandle kwalolu shintsho esimweni somuntu, abantu ngeke bakwazi ukuba ngofakazi baNkulunkulu, futhi ngeke bayifune inhliziyo kaNkulunkulu. Ushintsho esimweni somuntu lukhombisa ukuthi abantu bazikhululile emaketangeni kaSathane, bazikhululile ekuthonyweni ngubumnyama, sebebe umfanekiso womsebenzi kaNkulunkulu, sebebe ngofakazi bakaNkulunkulu futhi bangabantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu osesimweni somuntu uze ukuzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi udinga ukuba abantu bamazi, bamlalele, babe ofakazi Bakhe—bazi umsebenzi Wakhe awenzayo nojwayelekile, balalele wonke amazwi Akhe nomsebenzi ongahambisani nemibono yomuntu, futhi babe ofakazi kuwo wonke umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu, nakho konke akwenzayo ukuze anqobe umutu. Labo abangofakazi baNkulunkulu kumele bamazi uNkulunkulu; yilolu hlobo kuphela lobufakazi obuqondile, nobuyiqiniso, futhi yilolu hlobo kuphela lobufakazi obungahlazisa uSathane. UNkulunkulu usebenzisa labo abamaze ngokwahlulelwa nokusolwa Nguye, wabasebenza futhi wabathena, ukuthi babe ngofakazi Bakhe. Usebenzisa labo abakhohlakaliswe nguSathane ukuba bafakaze Ngaye, futhi uphinde asebenzise labo abanesimo esiguqukile, nalabo abazuze izibusiso Zakhe, ukuba bafakaze Ngaye. Akadingi ukuba abantu bamdumise ngamazwi kuphela, futhi akadingi ukudunyiswa nobufakazi benzalo kaSathane, abangasindiswanga Nguye. Yilabo abazi uNkulunkulu kuphela abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, nalabo isimo sabo esiguqukile abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi uNkulunkulu angeke avume ukuthi abantu bahlambalaze igama Lakhe ngamabomu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

457. Ukufinyelela ekwazini ubunjalo bukaNkulunkulu akusiyona indaba encane. Kufanele nakanjani uqonde isimo Sakhe. Ngale ndlela-ke, uyoya ngokuya futhi unganakile, ufinyelela ekwazini ubunjalo bukaNkulunkulu. Uma usungenile kulolu lwazi, uyozithola unyathela uya phambili uyongena esimweni esiphezudlwana futhi esihle kakhudlwana. Ekugcineni, uyozizwa unamahloni ngomoya wakho omubi, ngendlela yokuthi uyoze uzwe ukuthi akukho ndawo ongazifihla kuyo. Ngaleso sikhathi, kuyoncipha kancane kancane ekuziphatheni kwakho okungase kone isimo sikaNkulunkulu, inhliziyo yakho iyoya ngokuya isondelana nekaNkulunkulu, bese kuya ngokuya kwanda uthando Lwakhe enhliziyweni yakho. Lokhu kuwuphawu lokungena kwesintu esimweni esihle. Kodwa okwamanje anikafiki kulesi simo. Ngenkathi niphithizela nehla nenyuka nifuna lapho niya khona, ubani lapha kini ongacabanga ngokuzama ukuthola ubunjalo bukaNkulunkulu? Uma lokhu kuqhubeka, niyobe, ngokungazi, niphambana nezinqumo zokuphatha ngoba niqonda okuncane kakhulu ngesimo sikaNkulunkulu. Ngakho-ke, ingabe lokhu enikwenzayo njengamanje akusikhona ukubeka isisekelo sokona kwenu ngokuphambene nesimo sikaNkulunkulu? Lokhu ngikubuzela ukuthi nikwazi ukuqonda ukuthi isimo sikaNkulunkulu asiphambene nomsebenzi Wami. Ngoba uma nizephula kaningi izinqumo zokuphatha, ubani phakathi kwenu oyophunyuka ekujezisweni na? Ingabe lokho ngeke kusho yini ukuthi umsebenzi Wami ubuyize leze? Ngakho-ke, namanje ngisaninxusa ukuthi ngaphezulu kokucubungula ukuziphatha kwenu, niqaphele izinyathelo enizithathayo. Lesi yisicelo esikhulu kakhulu engisenza kini, futhi ngethemba ukuthi nonke nizosicabanga ngokucophelela futhi nisithathe ngokuzimisela. Uma kwenzeka kufika usuku lapho khona ukwenza kwenu kungithukuthelisa kakhulu, umuntu ngayedwa kuyofuneka acabange ngemiphumela, futhi ngeke kube khona omunye oyothwala isijeziso esikhundleni senu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

459. Kungumthetho waseZulwini nesimiso sasemhlabeni ukukholelwa kuNkulunkulu nokwazi uNkulunkulu, kanti namuhla—ngesikhathi lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu enza umsebenzi Wakhe—yisikhathi esihle sokwazi uNkulunkulu. Ukwanelisa uNkulunkulu kwenzeka ngokuba nesisekelo sokuqonda intando kaNkulunkulu, futhi ukuze uqonde intando kaNkulunkulu, kudingeka wazi uNkulunkulu. Lolu lwazi ngoNkulunkulu lungumbono ikholwa okumele libe nawo; luyisisekelo somuntu sokukholelwa kuNkulunkulu. Uma umuntu engenalo lolu lwazi, ngakho ukukholelwa kwakhe kuNkulunkulu kufiphele, futhi kusekelwe entweni engekho. Yize kuyisinqumo sabantu abafana nalaba ukulandela uNkulunkulu, abatholi lutho. Bonke labo abangatholi lutho kulolu quqaba yibo abazosuswa, futhi bangabantu abenza okuncane kakhulu. … Uma umuntu engayamukeli imibono, ngalokho ngeke awamukele umsebenzi omusha kaNkulunkulu, kanti uma umuntu engakwazi ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu omusha, khona-ke umuntu akakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu, ngalokho ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu alulingani nalutho. Ngaphambi kokuba umuntu enze amazwi likaNkulunkulu, kumele awazi amazwi kaNkulunkulu, lokhu kusho ukuthi, kumele aqonde intando kaNkulunkulu; yingale ndlela kuphela amazwi kaNkulunkulu angenziwa ngayo ngendlela eyiyo nangokwenhliziyo kaNkulunkulu. Wonke umuntu ofuna iqiniso kumele abe nakho lokhu, kanti futhi kuyinqubo okumele wonke umuntu ozama ukwazi uNkulunkulu adlule kuyo. Inqubo yokwazi amazwi kaNkulunkulu kuyinqubo yokwazi uNkulunkulu, futhi kuyinqubo yokwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Ngalokho, ukwazi imibono akubhekiseli nje kuphela ekwazini ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa kubandakanya ukwazi amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu. Ngamazwi kaNkulunkulu abantu bakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu, kanti ngomsebenzi kaNkulunkulu bakwazi ukwazi isimo sikaNkulunkulu nokuthi uyini uNkulunkulu. Ukukholelwa kuNkulunkulu kuyisinyathelo sokuqala sokwazi uNkulunkulu. Inqubo yokukhula ekukholweni kokuqala kuNkulunkulu kuye ekukholweni okujulile kuyinqubo yokwazi uNkulunkulu, kanye nenqubo yokubona umsebenzi kaNkulunkulu. Uma ukholelwa kuphela kuNkulunkulu ngoba wenza nje ukukholelwa kuNkulunkulu, futhi ungakholelwa kuNkulunkulu ukuze wazi uNkulunkulu, khona-ke alikho iqiniso ekukholweni kwakho, futhi ngeke kuhlanzeke—angingabazi ngalokhu. Uma, ngesikhathi ebona uNkulunkulu, umuntu eqala kancane kancane ukwazi uNkulunkulu, khona-ke nesimo sakhe sizoshintsha kancane kancane, nokukholwa kwakhe kukhule kube okweqiniso. Ngale ndlela, uma umuntu ephumelela ekukholweni kuNkulunkulu, uzozuza uNkulunkulu ngokugcwele. UNkulunkulu uze waba nenyama okwesibili futhi wenza nomsebenzi Wakhe Yena uqobo ukuze abantu bamazi, futhi bakwazi nokumbona. Ukwazi uNkulunkulu[a] umphumela wokugcina okumele kufezeke ekugcineni komsebenzi kaNkulunkulu; kuyimfuneko yokugcina kaNkulunkulu esintwini. Ukwenza lokhu ngenxa yobufakazi Bakhe bokugcina, nokuthi umuntu ekugcineni aphendukele Kuye ngokuphelele. Umuntu angathanda kuphela uNkulunkulu ngokwazi uNkulunkulu, futhi ukuze athande uNkulunkulu kumele amazi uNkulunkulu. Noma ngabe umfuna ngayiphi indlela, noma uhlose ukuzuzani, kumele akwazi ukufinyelela ekwazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu enganelisa inhliziyo kaNkulunkulu. Kungokwazi uNkulunkulu kuphela lapho umuntu engakholelwa khona kuNkulunkulu, futhi kungokwazi uNkulunkulu kuphela lapho umuntu engakhonza futhi alalele khona uNkulunkulu. Labo abangamazi uNkulunkulu angeke bamlalele futhi bamkhonze ngeqiniso uNkulunkulu. Ukwazi uNkulunkulu kubandakanya ukwazi isimo sikaNkulunkulu, ukuqonda intando kaNkulunkulu, ukwazi ukuthi uyini uNkulunkulu. Kodwa noma ngabe iyiphi ingxenye yokwazi uNkulunkulu, konke kudinga ukuthi umuntu akhokhe, kudinga intando yokulalela, ngaphandle kwakho akekho ongalandelela kuze kube sekugcineni.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

460. Imiphumela yesifundo sokwazi uNkulunkulu ngeke kufikwe kuyo ngosuku olulodwa noma ezimbili: Umuntu kumele kube khona akuqoqayo akwaziyo, adlule ekuhluphekeni, alalele ngeqiniso. Okokuqala, qala ngomsebenzi namazwi kaNkulunkulu. Kumele uqonde ukuthi ukwazi uNkulunkulu kubandakanya ini, uluthola kanjani ulwazi lukaNkulunkulu, nokuthi umbona kanjani uNkulunkulu ngesikhathi kwenzeka izinto kuwe. Lokhu yilokhu wonke umuntu okumele akwenze uma besafuna ukwazi uNkulunkulu. Akekho umuntu ongabamba umsebenzi namazwi kaNkulunkulu zibekwa nje, futhi akekho noyedwa ongaba nolwazi lukaNkulunkulu ngokuphelele ngesikhathi esincane. Okudingekayo inqubo yokubona nokudlula ezintweni, ngaphandle kwalokho akekho namunye ozoba nolwazi ngoNkulunkulu noma alandele uNkulunkulu ngeqiniso. Uma uNkulunkulu enza umsebenzi omningi, kulapho abantu bemazi kangcono. Ngenkathi umsebenzi kaNkulunkulu ungavumelani nokuqonda kwabantu, kulapho ulwazi lomuntu Ngaye luvuseleleka futhi lujula. Uma umsebenzi kaNkulunkulu ubungahlala ungashintshi, khona-ke umuntu ubengaba nolwazi oluncane ngoNkulunkulu. Kusuka ekudalweni komhlaba kuze kube namuhla, kumele niyazi kahle imibono yalokhu uNkulunkulu akwenza ngesikhathi seNkathi Yomthetho, lokhu akwenza ngeNkathi Yomusa, nalokhu akwenzayo ngesikhathi seNkathi Yombuso. Kumele nazi umsebenzi kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

461. Ngalesi sikhathi alandela ngaso uJesu, uPetru wayenemibono eminingi Ngaye futhi wayehlale emehlulela ngokwendlela yena ayebona ngayo izinto. Nakuba wayekuqonda ukufinyelela ezingeni elithile mayelana nokusebenza kukaMoya, ukuqonda kwakhe kwakungacacile, okwenza ukuthi athi: “Kumele ngilandele lowo othunywe nguBaba oseZulwini. Kumele ngazise lowo okhethwe uMoya oNgcwele.” Wayengaziqondi izinto uJesu azenza futhi zazingamcaceli. Ngemva kokumlandela isikhathi esithile, waqala ukuzithanda izinto ayezenza nayezisho, nakuJesu Ngokwakhe. Wabe esebona ukuthi uJesu wayeshisekeliswa uthando nenhlonipho; wayethanda ukuba naye ahlale eduze kwakhe, alalele amazwi kaJesu ayemsiza kakhulu. Phakathi nesikhathi alandela ngaso uJesu, uPetru waqaphela futhi wafaka enhliziyweni konke ngokuphila Kwakhe: Izenzo zakhe, amazwi, ukunyakaza kanye nezinkulumo. Wakuqonda ngokujulile ukuthi uJesu wayengeyena umuntu ovamile. Nakuba ukubukeka kwakhe kobuntu kwakujwayeleke ngokwedlulele, wayegcwele uthando, enobubele, futhi embekezelela umuntu. Yonke into ayenza noma ayisho yayibasiza kakhulu abanye, futhi uPetru owayeseceleni Kwakhe wabona futhi wafunda izinto ayengakaze azibone noma abe nazo ngaphambili. Wabona ukuthi nakuba uJesu wayengenaso isiqu esingokomoya esikhulu noma ubuntu obungavamile, wayenomoya ongavamile futhi oyivela-kancane. Nakuba uPetru ayengakwazi ukukuchaza kahle lokhu, wayebona ukuthi uJesu wayenza izinto ngendlela engavamile kweyawo wonke umuntu, ngoba izinto ayezenza zazehluke kakhulu kwezabantu abavamile. Esikhathini asichitha noJesu, uPetru wabona nokuthi isimilo Sakhe sasingafani nesabantu abajwayelekile. Ngaso sonke isikhathi wayenza izinto ngokungajahi futhi engaxhamazeli, wayengenalo ihaba futhi engathathi izinto kancane futhi wayephatha impilo Yakhe ngendlela eyayiveza isimilo esivamile nesithandekayo. Ezingxoxweni, uJesu wayenobungani, enomusa, engeneka, emnene futhi kumnandi ukuba naye, kodwa akazange alahlekelwe isithunzi Sakhe nesomsebenzi Wakhe. UPetru waphawula ukuthi kwakuba nezikhathi lapho uJesu ayengakhulumi khona kakhulu, futhi ngezinye izikhathi lapho ayexoxa khona ngokukhululeka. Ngezinye izikhathi wayejabula kakhulu abonakale njengejuba eliwumqemane nelingqabashiyayo, futhi ngezinye izikhathi wayedangala ngezinga lokuthi aze angakhulumi nhlobo, abonakale esindwa wusizi kube sengathi ungumama okhathele nongenamandla. Ngezinye izikhathi wayethukuthela, njengesosha elinesibindi elilungele ukuyobulala izitha, ngezinye izikhathi wayeba ngisho njengebhubesi elibhongayo. Ngezinye izikhathi wayehleka; ngezinye izikhathi wayethandaza futhi akhale. Akukhathalisekile ukuthi uJesu wayenzani, lokho kwenza uPetru waba nothando kanye nokumhlonipha okungenamkhawulo. Uhleko lukaJesu lwamenza waphuphuma injabulo, ukudabuka Kwakhe kwamenza waba nosizi, intukuthelo Yakhe yayimethusa, kuyilapho umusa, ukuthethelela, nezimfuno eziqinile kubantu kwenza ukuba amthande ngempela uJesu futhi kukhulise ukumhlonipha nokumlangazelela. Yiqiniso, konke lokhu uPetru wakubona ngesikhathi esephile noJesu iminyaka embalwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela UPetru Amazi Ngayo UJesu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

462. Uma ufuna ukwazi uNkulunkulu ngempela futhi ufuna ukumazi nokumqonda, ngakho-ke ungapheleli ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu, futhi ungapheleli ezindabeni zomsebenzi kaNkulunkulu ake wawenza. Uma uzama ukumazi ngaleyo ndlela, ngalokho uNkulunkulu umbekela umkhawulo. Ubona uNkulunkulu njengento encane kakhulu. Ukwenza kanjalo kungabathinta kanjani abantu? Angeke ukwazi ukumangalisa nobukhulu bukaNkulunkulu, futhi ngeke uwazi amandla nobukhulu kanye nalapho kusebenza khona igunya laKhe. Ukuqonda okufana nalokhu, kuzoba nomthelela ekwazini kwakho ukwamukela iqiniso lokuthi uNkulunkulu unguMbusi wazo zonke izinto, kanjalo nolwazi lukaNkulunkulu uqobo nesimo saKhe. Ngamanye amazwi, uma ukuqonda kwakho uNkulunkulu kunomkhawulo, lokho ozokwamukela nakho kuzoba nomkhawulo. Yingakho kumele unwebe umkhawulo wakho. Noma ngabe umsebenzi kaNkulunkulu, ukuphatha kukaNkulunkulu, nomthetho kaNkulunkulu, noma zonke izinto zinomthetho futhi ziphathwa uNkulunkulu, kumele ukwazi konke futhi wazi nezenzo zikaNkulunkulu kukho. Ngale ndlela yokuqonda, uzozwa ngaphakathi ukuthi uNkulunkulu ulawula, uphethe futhi wenza zonke izinto. Khona lapho, uzozwa ngempela ukuthi uyingxenye yazo zonke izinto futhi uyilungu lazo zonke izinto. Njengoba uNkulunkulu enza zonke izinto, nawe wamukela umthetho kaNkulunkulu nokwenza kwaKhe. Leli yiqiniso elingephikiswe muntu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

463. Nokho ulwazi ngoNkulunkulu uma luluningi ezinhliziyweni zabantu yilo olukalayo ukuthi unasiphi isikhala ezinhliziyweni zabo. Nokho ulwazi oluningi ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo lubheke ukuthi mkhulu kangakanani uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Uma uNkulunkulu omaziyo engenalutho futhi engacacile, kungukuthi uNkulunkulu okholwa kuye akanalutho futhi akacacile. UNkulunkulu omaziyo uphelela kuphela emkhawulweni wokuphila kwakho, futhi akahlangene ngalutho noNkulunkulu oliqiniso uqobo Lwakhe. Ngalokho, ukwazi izenzo eziwuqobo zikaNkulunkulu, ukwazi ubuqiniso bukaNkulunkulu kanye namandla Akhe, ukwazi ubuqiniso bobuyena uNkulunkulu uqobo, ukwazi lokho anakho kanye nayikho, ukwazi lokho akukhombisile ngaphezu kwazo zonke izinto—lokho kubaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu olandela ulwazi lukaNkulunkulu. Lokhu kunemithelela eqondene ngqo nokuthi ingabe abantu bangangena yini oqotsheni lweqiniso. Uma ubeka imingcele ephelela emazwini kuphela ekuqondeni kwakho uNkulunkulu, uma ubeka imingcele ephelela olwazini lwakho oluncane, umusa kaNkulunkulu owubalayo, noma ubufakazi bakho obuncane kuNkulunkulu, ngalokho ngithi uNkulunkulu okholwa kuye akuyena ngempela uNkulunkulu weqiniso Uqobo Lwakhe futhi kungashiwo ukuthi uNkulunkulu omkholwayo unguNkulunkulu wokuzakhela engqondweni, akuyena uNkulunkulu weqiniso. Lokhu kungoba uNkulunkulu weqiniso nguye kuphela obusa phezu kwezinto zonke, lokho kuya kuzo zonke izinto, olawula izinto zonke. Nguye ophethe isigcino sabo bonke abantu—Nguye ophethe isigcino sayo yonke into. Imisebenzi kanye nezenzo zikaNkulunkulu engikhuluma ngaye kazigcini kuphela engxenyeni encane yabantu. Okungukuthi, akugcini nje kubantu abamlandelayo njengamanje. Izenzo Zakhe zivela kuzo zonke izinto, ekuqhubekeni nokuba khona kwazo zonke izinto, kanye nasemithethweni yokuguquka kwazo zonke izinto.

Uma ungakwazi ukubona noma ukuzwa noma yisiphi isenzo sikaNkulunkulu kuzo zonke izinto, ngeke ukwazi ukuba ngufakazi wezenzo Zakhe. Uma ungakwazi ukuba ngufakazi kaNkulunkulu, uma uqhubeka nokukhuluma ngoNkulunkulu omncane lo omaziyo, lo Nkulunkulu ophelela emibonweni yakho kuphela, osemqondweni wakho omfushane, uma uqhubeka nokukhuluma ngalolo hlobo lukaNkulunkulu, ngalokho uNkulunkulu akasoze akuncoma ukukholwa kwakho. Uma unobufakazi ngoNkulunkulu, uma usebenzisa ukuthi uwujabulela kanjani umusa kaNkulunkulu, wamukela ukuyala kukaNkulunkulu kanye nokuthobisa Kwakhe, ujabulela izibusiso Zakhe ebufakazini bakho Ngaye, lokho akwanele kakhulu, kukude nokumanelisa. Uma ufuna ukuba nobufakazi kuNkulunkulu ngendlela ehambisana nentando Yakhe, unobufakazi ngoNkulunkulu uqobo oliqiniso, ngaleyo ndlela kumele ukubone lokho uNkulunkulu anakho nayikho ukubona ezenzweni Zakhe. Kumele ubone igunya likaNkulunkulu ekulawuleni Kwakhe zonke izinto, bese ubona iqiniso lokuthi ubahlinzeka kanjani abantu bonke. Uma wamukela kuphela ukuthi ukudla kwakho nokuphuza kwansuku zonke nokuthi izidingo zakho empilweni zivela kuNkulunkulu, kodwa ungaliboni iqiniso lokuthi uNkulunkulu uhlinzekela bonke abantu ngezinto zonke, ukuthi uhola bonke abantu ngokubusa Kwakhe phezu kwazo zonke izinto, ngalokho awusoze wakwazi ukuba nobufakazi ngoNkulunkulu. Yini inhloso yami ngokusho konke lokhu? Ukuze ningakuthathi kalula lokhu, ukuze ningakholwa nje ukuthi lezi zihloko engikhulume ngazo azinasidingo ezimpilweni zenu, futhi ukuze ningazithathi lezi zihloko njengohlobo nje lolwazi noma lomthetho. Uma nilalela ngaleyo ndlela yokuziphatha, ngeke nizuze lutho. Nizolilahla leli thuba lokwazi uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

464. Yize umuntu engaze acwaninge ngesayensi nemithetho yazo zonke izinto, kusemkhawulweni othize nje lapho uNkulunkulu elawula zonke izinto. Kumuntu, lokho akunamkhawulo. Uma abantu becwaninga okuncane kakhulu okwenziwe nguNkulunkulu, bangachitha impilo yabo yonke becwaninga ngaphandle kokuthola noma yimiphi imiphumela yeqiniso. Yingakho usebenzisa ulwazi nalokho okufundile ukufunda ngoNkulunkulu, ngeke ukwazi ukumazi nokumqonda uNkulunkulu. Kodwa uma usebenzisa indlela yokufuna iqiniso nokufuna uNkulunkulu, bese ubheka uNkulunkulu ngendlela yokuthi ufuna ukumazi uNkulunkulu, ngolunye usuku uzovuma ukuthi izenzo nokuhlakanipha kukaNkulunkulu kusendaweni yonke, futhi uzokwazi ukuthi kungani uNkulunkulu ebizwa ngokuthi iNkosi yazo zonke izinto nomthombo wokuphila wazo zonke izinto. Uma kwanda ulwazi olunjalo, yilapho uzoqonda ukuthi kungani uNkulunkulu ebizwa ngokuthi iNkosi yazo zonke izinto. Zonke izinto kanye nayo yonke into, kuhlanganise nani, uqhubeka uthola ukunakwa uNkulunkulu. Uzokwazi futhi ukuzwa ngokucacile ukuthi kulo mhlaba futhi naphakathi kwalesi sintu, akekho omunye ngaphandle kukaNkulunkulu ongaba namandla nokufaneleka okungaka ukubusa, ukuphatha nokulondoza ubukhona bezinto zonke. Uma uzuza ukuqonda okunjalo, uzovuma ngempela ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wakho. Uma ufika kuleli zinga, sewumamukele ngempela uNkulunkulu futhi wamvumela ukuthi abe nguNkulunkulu wakho neNkosi yakho. Uma sewunokuqonda okunjalo nempilo yakho yafika kulelo zinga, uNkulunkulu angeke esakuvivinya noma akwahlulele, noma akubekele noma yiziphi izimfuneko, ngoba uyamqonda uNkulunkulu, wazi inhliziyo yaKhe, futhi umamukele ngeqiniso enhliziyweni yakho.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

465. Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu. Kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. UNkulunkulu akakaze ayeke ingxoxo Yakhe nesintu; akakaze azifihle kumuntu, futhi akakaze acashe. Imicabango Yakhe, imibono Yakhe, amazwi Akhe kanye nezenzo Zakhe ziveziwe zonke esintwini. Ngakho, inqobo nje uma umuntu efisa ukwazi uNkulunkulu, angakwazi ukumqonda nokumazi ngezindlela eziningi futhi ezinhlobonhlobo. Isizathu esibanga umuntu ngokungaqondi, acabange ukuthi uNkulunkulu umxwaya ngamabomu, nokuthi uNkulunkulu usicashele ngamabomu isintu, ukuthi uNkulunkulu akananhloso yokuvumela umuntu ukuthi amqonde futhi amazi, ukuthi akazi ukuthi uNkulunkulu ungubani, futhi akafisi ukuqonda uNkulunkulu; nangaphezu kwalokho, akazihluphi ngemicabango, amazwi noma izenzo zoMdali…. Uma sikhuluma iqiniso, uma umuntu esebenzisa isikhathi esingatheni, ukubhekisisa futhi aqonde amazwi noma izenzo zoMdali futhi athi ukulalela imicabango nephimbo le nhliziyo yoMdali, ngeke kube nzima ukubona ukuthi imicabango, amazwi kanye nezenzo zoMdali ziyabonakala futhi zisobala. Ngokunjalo, kuzothatha ukuzikhandla okuncane ukubona ukuthi uMdali uphakathi kwabantu ngaso sonke isikhathi, nokuthi uhlala exoxisana nomuntu kanye nendalo iyonkana, nokuthi wenza izenzo ezintsha zonke izinsuku. Ingqikithi nesimo Sakhe kubonakaliswa engxoxweni Yakhe nomuntu; imicabango nemibono Yakhe iyavezwa ngokuphelele ezenzweni Zakhe; uyaphelekezela futhi abuke isintu ngaso sonke isikhathi. Ukhuluma buthule nesintu nayo yonke indalo ngamazwi Akhe athulile: Ngisemazulwini, ngiphakathi kwendalo Yami. Ngigadile; ngilindile; ngisohlangothini lwakho…. Izandla Zakhe zifudumele futhi zinamandla; izinyathelo Zakhe zilula; iphimbo Lakhe liphansi futhi lihle; isiqu Sakhe siyadlula futhi sijike, samukela sonke isintu; ubuso Bakhe buhle futhi bumnene. Akakaze ahambe, futhi akakaze anyamalale. Imini nobusuku, ungumngane wesintu olokhu ekhona njalo, akasuki nhlobo eduze kwabo.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

466. Uma abantu bengamqondi uNkulunkulu futhi bengasazi isimo Sakhe, izinhliziyo zabo azisoze zavuleleka Kuye. Uma sebemqonda uNkulunkulu, bayoqala bazise futhi bathokozele lokho okusenhliziyweni Yakhe ngokulangazelela kanye nokukholwa. Uma wazisa futhi uthokozela lokho okusenhliziyweni Yakhe, inhliziyo yakho iyovuleleka Kuye ngokuqhubeka, kancane kancane. Ngesikhathi inhliziyo ivuleleka Kuye, uyozizwela ukuthi ukuxoxa kwakho noNkulunkulu kuyihlazo futhi kuyadeleleka, izimfuno zakho kuNkulunkulu, kanye nezifiso zakho ezivile. Ngesikhathi inhliziyo yakho ivuleleka ngeqiniso kuNkulunkulu, uzobona ukuthi inhliziyo yakho ifana nezwe elingenamkhawulo, futhi uzobe usungena endaweni ongakaze ungene kuyo ngaphambili. Kule ndawo akukho ubuqili, ayikho inkohliso, abukho ubumnyama, kanye nobubi. Kukhona kuphela ubuqotho kanye nokwethembeka; ukukhanya nokuqonda ngqo kuphela; ukulunga nomusa kuphela. Igcwele uthando nokunakekela, igcwele uzwelo nokubekezelelana, futhi ngayo uyazizwela intokozo nenjabulo yokuphila. Lezi zinto yilezo azozembula kuwe Yena uma uvulela uNkulunkulu inhliziyo yakho. Leli zwe elingenamkhawulo ligcwele ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ligcwele amandla onke Akhe; ligcwele uthando Lwakhe kanye negunya Lakhe. Lapho ungabona zonke izingxenye zokuthi uNkulunkulu unani futhi ungubani, yini emlethela injabulo, kungani ekhathazeka futhi kungani eba lusizi, kungani ethukuthela…. Yilokhu okungabonwa yiwo wonke umuntu ovula inhliziyo yakhe bese evumela uNkulunkulu ukuba angene. UNkulunkulu angangena kuphela enhliziyweni yakho uma uyivulela Yena. Ungabona kuphela ukuthi uNkulunkulu unani futhi ungubani, futhi ungabona kuphela intando Yakhe ngawe, uma esengenile enhliziyweni yakho. Ngaleso sikhathi, uyothola ukuthi yonke into ngoNkulunkulu iyigugu, lokho anakho nayikho kufanele kube yigugu. Uma uqhathanisa nalokho, abantu abakuzungezile, izinto nezigameko empilweni yakho, kanye nabathandiweyo bakho, umlingani wakho, kanye nezinye izinto ozithandayo, azifanele nokuphathwa. Zincane kakhulu, futhi ziphansi kakhulu; uyozwa ukuthi ayikho into ephathekayo eyoke ikwazi ukuphinde ikudonse, futhi ngeke ziphinde zikwazi ukukukhokhisa noma yiliphi inani. Ekuthobekeni kukaNkulunkulu uyobona ubukhulu Bakhe nobukhosi Bakhe; nangaphezu kwalokho, entweni ayenzile, okholwa ukuthi incane impela, uyobona ukuhlakanipha Kwakhe okungenamkhawulo kanye nokubekezelela Kwakhe, uyobona isineke Sakhe, ukuzithiba kwakhe, kanye nokuqonda wena Kwakhe. Lokhu kuyodala uthando Lwakhe kuwe. Ngalolo suku, uzozizwela ukuthi isintu siphila ezweni elingcolile kakhulu, ukuthi abantu abangakuwe kanye nezinto ezenzeka empilweni yakho, kanye nalabo obathandayo, uthando lwabo kuwe, kanye nokuvikela-mbumbulu kwabo noma ukukhathalela kwabo wena akufanele nokuphathwa—uNkulunkulu kuphela ongothandiweyo wakho, futhi uNkulunkulu kuphela oyigugu kakhulu. Ngesikhathi lufika lolo suku, ngiyakholwa kuyoba khona abantu abathi: Uthando lukaNkulunkulu lukhulu, futhi ingqikithi Yakhe ingcwele—kuNkulunkulu ayikho inkohliso, abukho ububi, awukho umhobholo, futhi akukho ukuxabana, kodwa ukulunga neqiniso, futhi yonke into uNkulunkulu Anayo Nayiyo kumele ilangazelelwe ngabantu. Abantu kumele bakulwele futhi bakuphokophelele. Iziphi izisekelo ezizokwenza ukuba isintu sikwazi ukufeza lesi sakhiwo? Sakhiwe esisekelweni esiwukuqonda isimo sikaNkulunkulu, kanye nokuqonda ingqikithi kaNkulunkulu. Ngakho ukuqonda isimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu anakho nayikho, kuyisifundo sempilo yonke yawo wonke umuntu, futhi kuyinjongo yempilo yonke efunwa umuntu wonke olwela ukuguqula isimo sakhe, futhi olwela ukumazi uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

467. UNkulunkulu Uqobo Lwakhe nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Akasoze aba yingxenye yendalo, futhi ngisho angaba yilunga phakathi kwezidalwa ezidaliwe, isimo nobukhona Bakhe bemvelo ngeke buguquke. Ngakho-ke, ukwazi uNkulunkulu akukona ukwazi into; akukona ukuhlinza into ethile, futhi akusikho ukuqonda umuntu. Uma umuntu esebenzisa umcabango noma indlela yakhe yokwazi into noma yokuqonda umuntu ukwazi uNkulunkulu, ngeke uze ukwazi ukuthola ulwazi ngoNkulunkulu. Ukwazi uNkulunkulu akuncikile esipiliyonini noma ukubona ngamehlo engqondo, futhi yingakho kungafanele uphoqe ukubeka isipiliyoni noma ukubona kwakho ngamehlo engqondo, kuNkulunkulu. Akukhathaleki ukuthi sinothe kangakanani isipiliyoni noma ukucabanga kwakho ngamehlo engqondo, kusenemigomo; okudlula lokho, ukubona kwakho ngamehlo engqondo akuhambisani nezehlakalo, ingasaphathwa eyokuthi akuhambisani neqiniso, futhi akusebenzisani nesimo nobukhona bukaNkulunkulu bangempela. Awusoze waphumelela uma uthembela ekucabangeni kwakho ngamehlo engqondo ukuze uqonde ubukhona bukaNkulunkulu. Indlela okuyiyonayona ihamba kanje: yemukela konke lokho okuvela kuNkulunkulu, bese kancane kancane uyazizwela futhi ukuqonda kona. Kuzofika ilanga lapho uNkulunkulu eyokukhanyisela ukuze umqonde futhi umazi ngempela ngenxa yokubambisana kwakho Naye nangenxa yokulambela nokomela kwakho iqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

468. “Ukwesaba uNkulunkulu nokudeda kokubi” nokwazi uNkulunkulu kuxhumene ngezintambo eziningi ngokungehlukaniswe, futhi ukuxhumana phakathi kwazo kuyabonakala. Uma umuntu efisa ukufinyelela ekubalekeleni okubi, kumele yena kuqala abe nokwesaba uNkulunkulu ngeqiniso; uma yena efisa ukuzuza ukwesaba uNkulunkulu ngeqiniso, yena kuqala kumele amazi uNkulunkulu ngeqiniso; uma efisa ukuthola ulwazi ngoNkulunkulu, yena kumele kuqala abenolwazi lwamazwi kaNkulunkulu, aqiniseke ngamazwi kaNkulunkulu, abenolwazi lokujeziswa nokuqondiswa nguNkulunkulu, ukujeziswa nokwahlulelwa Nguye; uma yena efisa ukuba nolwazi lalawa mazwi kaNkulunkulu, yena kumele kuqala abhekane ubuso nobuso namazwi kaNkulunkulu, abhekane ubuso nobuso noNkulunkulu, nokucela uNkulunkulu amuphe amathuba okuwezwa amazwi kaNkulunkulu ngezindlela zonke ezahlukene ezifaka phakathi umuntu, izehlakalo nezinto; uma yena efisa ukubhekana ubuso nobuso noNkulunkulu namazwi kaNkulunkulu, yena kumele kuqala abe nenhliziyo engazithwele futhi elungile, akulungele ukwamukela iqiniso, inhliziyo yokubekezelela ubunzima, ukuzimisela kanye nesibindi sokubalekela okubi, kanye nentshisekelo yokuba yisidalwa esiqinisekile…. Ngale ndlela, ukuya phambili kancane kancane, kuzokusondeza nakakhulu kuNkulunkulu, inhliziyo yakho iyoya iba msulwa ngokwengeziwe, futhi impilo yakho nokubaluleka kokuba uyaphila kuyoba, ngokuhambisana nolwazi lwakho ngoNkulunkulu, kuyoba nenjongo eyengeziwe futhi kuyokhula ukucaca ngokwengeziwe. Kuze kube olunye usuku, lapho uyozwa khona ukuthi uMdali akaseyona impica-badala, ukuthi uMdali akakaze afihleke kuwe, ukuthi uMdali akakaze abufihle ubuso Bakhe kuwe, ukuthi uMdali akakude neze nawe, ukuthi uMdali akaseyena Lona ohlale umlangazelela emicabangweni yakho kodwa ongakwazi ukufinyelela Kuye ngemizwa yakho, ukuthi Yena ngokoqobo futhi ngeqiniso uhlale ekubhekile kwesokunxele nesokudla sakho, esekela ukuphila kwakho, futhi elawula okudalelwe. Akakude noma akazifihlile Yena phezulu emafini. Useceleni kwakho, wengamele phezu kwakho konke okwakho, uyikho konke onako, futhi uwukuphela kwento onayo. UNkulunkulu onjalo ukuvumela ukuba umthande ngenhliziyo, unamathele Kuye, umbambele eduze, umkhonze, wesabe ukulahlekelwa Nguye, nokuthi ungazimiseli ngokuphinde umphike, uphinde ungamhloniphi Yena noma ukuphinde umgweme Yena futhi noma umbeke kude le. Konke ofuna ukukwenza ukunakekela Yena, ukulalela Yena, ukubuyisela Kuwe konke akunikeza khona, nokuthobela umbuso Wakhe. Awusenqabi manje ukuqondiswa, ukunikezwa, ukubhekwa, nokugcinwa Nguye, awusakwenqabi lokho Yena akushoyo nalokho akunqumela kona. Konke okufunayo ukulandela Yena, uhambe eduze Kwakhe kwesokunxele noma kwesokudla Sakhe, konke okufunayo ukumamukela Yena njengowukuphila kwakho kuphela, njengowukuphela kweNkosi noNkulunkulu wakho.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi UNkulunkulu Kuyindlela Eya Ekumesabeni UNkulunkulu Nokudeda Kokubi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Umsebenzi wokwazi uNkulunkulu.”

Okwedlule: J. Ngendlela Yokufuna Ukuthanda UNkulunkulu

Okulandelayo: L. Ngendlela Yokusebenzela UNkulunkulu Nokumfakazela

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp