Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka

Namuhla, ngikukhuzela ukuthi kusinde wena, ukuze umsebenzi Wami uqhubeke ngempumelelo, nokuthi umsebenzi Wami wokuqala wenziwe ngokufanele nangokuphelele emhlabeni jikelele, ngokuveza amazwi Ami, negunya, nokuphakama kanye nokwahlulela abantu bakuwo wonke amazwe nezinhlanga. Umsebenzi engiwenza phakathi kwenu uyisiqalo somsebenzi wami emhlabeni jikelele. Yize manje sekuyizinsuku zokugcina, yazi ukuthi “izinsuku zokugcina” yigama lenkathi: NjengeNkathi Yomthetho Nenkathi Yomusa, kushiwo inkathi, futhi kushiwo inkathi iyonke, kunokubalwa kweminyaka embalwa yokugcina nezinyanga. Kodwa izinsuku zokugcina zehluke kakhulu kuneNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho. Umsebenzi wezinsuku zokugcina awenziwa kwa-Israyeli, kodwa kubantu Bezizwe; kuwumsebenzi wokunqoba ophambi kwesihlalo Sami sobukhosi sezinhlanga zonke kanye nabo bonke abantu abangaphandle kwakwa-Israyeli, ukuze inkazimulo Yami emhlabeni jikelele igcwalise umhlaba nomkhathi wonke. Lokho kwenzelwa ukuthi ngidunyiswe kakhulu, ukuze zonke izidalwa zasemhlabeni zikwazi ukudlulisela udumo Lwami ezizweni zonke, ingunaphakade ezizukulwaneni, futhi zonke izidalwa zasezulwini nasemhlabeni zingakwazi ukubona ukukhazimula engikuthole emhlabeni. Umsebenzi owenziwa ngezinsuku zokugcina ungumsebenzi wokunqoba. Akusikho ukuholwa kwezimpilo zabo bonke abantu emhlabeni, kodwa kuwukuphetha ukungashatshalaliswa kwesintu, ukuhlupheka kwezigidi zeminyaka kwasemhlabeni. Ngenxa yalokho, umsebenzi wezinsuku zokugcina ngeke ube njengalowo weminyaka eyizinkulungwane kwa-Israyeli, noma njengomsebenzi waseJudiya weminyaka eminingi owaqhubekela kweminye iminyaka eyizinkulungwane ezimbili kwaze kwaba ukuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu kwesibili. Abantu bezinsuku zokugcina babhekana nokuvela kabusha koMhlengi enyameni, futhi bathola umsebenzi namazwi kaNkulunkulu ngqo. Angeke kube iminyaka eyizinkulungwane ezimbili ngaphambi kokuba kuphele izinsuku zokugcina; zimbalwa, njengesikhathi lapho uJesu enza umsebenzi Ngenkathi Yomusa eJudiya. Lokhu kwenziwa ukuthi izinsuku zokugcina ziyisiphetho sesikhathi somlando sisonke. Ziwukuqedelwa nokupheliswa kohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, futhi kuphetha inkambo yempilo kanye nokuhlupheka kwesintu. Abadluliseli isintu sisonke enkathini entsha noma bavumele isintu ukuthi siqhubeke nokuphila. Lokhu kuyobe kungabalulekile ohlelweni lokuphatha Lwami noma ebukhoneni bomuntu. Uma isintu siqhubeka kanje; maduze nje sizobe sesizinikele ngokugcwele kuSathane, futhi leyo miphefumulo okungeyami ekugcineni iyochithakaliswa yizandla zakhe. Umsebenzi Wami uhlala iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, futhi ngiyethembisa ukuthi ukulawula komubi esintwini sisonke nakho kuyoba ngokweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Ngakho, siphelile isikhathi. Angisaqhubeki futhi angisadebeseli manje: Ngezinsuku zokugcina ngizomnqoba uSathane, ngizobuyisela inkazimulo Yami, futhi ngizolanda imiphefumulo Yami emhlabeni ukuze le miphefumulo ekhathazekile ephunyuke olwandle lokuhlupheka, futhi lokhu kuzophothula umsebenzi Wami uwonke emhlabeni. Kusukela ngalolu suku kuya phambili, ngeke ngisaphinde ngibe sesimweni senyama emhlabeni, futhi ngeke uMoya Wami olawulayo uphinde usebenze emhlabeni. Ngizokwenza okukodwa vo emhlabeni: Ngizokwenza isintu kabusha, isintu esingcwele, esiyidolobha Lami elethembekile emhlabeni. Kodwa yazi ukuthi angizukunqoba umhlaba uwonke, noma angizukunqoba sonke isintu. Ngizogcina ingxenye—ingxenyana ethanda Mina futhi enqontshwe Yimi kakhulu, futhi ngizokwenza ukuthi le ngxenyana ithele izithelo futhi igcwalise umhlaba njengoba kwenza ama-Israyeli ngaphansi komthetho, bondliwe ngezimvu eziningi kanye nomhlambi wezinkomo kanye nayo yonke ingcebo yomhlaba. Lesi sintu sizohlala Nami ingunaphakade, kube ayisiso lesi sintu esingcolile nesinengayo sanamuhla, kodwa isintu esihlanganisa bonke abazuzwa Yimi. Isintu esinjalo asizukumoshakala, siphazamiseke, noma sizungezwe uSathane, futhi kuzoba yiso kuphela isintu esikhona emhlabeni emuva kokuba senginqobe uSathane. Yisintu esinqotshwe Yimi namuhla futhi esizuze isethembiso Sami. Ngakho, isintu esinqotshwe ngezinsuku zokugcina siphinde sibe yisintu esizohlengwa nesizothola izibusiso Zami ingunaphakade. Kuzoba yibo kuphela ubufakazi bokunqoba Kwami uSathane, futhi yikho kuphela okuzobe kuwumqhele wempi Yami noSathane. Le miqhele yempi isindiswe Yimi esigodlweni sikaSathane, futhi iwukukhazimula nezithelo zohlelo lokuphatha Lwami lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Iphume kuwo wonke amazwe namabandla, nakuzo zonke izindawo namazwe emhlabeni jikelele. Yehlukile kunezinye izinhlanga, inezilimi ezehlukile, amasiko kanye namabala esikhumba, futhi igcwele ezweni ngalinye nebandla emhlabeni jikelele, kanye namagumbi omane omhlaba. Ekugcineni, izohlangana njengesintu esiphelele, inhlangano yabantu amandla kaSathane angefinyelele kubo. Labo phakathi kwesintu abangasindiswanga nabanganqotshwanga Yimi bazominzela ekujuleni kolwandle, futhi bazoshishwa amalangabi Ami avutha bhe ingunaphakade. Ngizosinqoba lesi sintu esidala nesingcole ngokwedlulele, njengoba nganqoba amadodana ayengamazibulo kanye nomhlambi waseGibhithe, kusale ama-Israyeli, adla inyama yemvu, aphuza igazi lemvu, futhi afakwa uphawu ezicabheni zawo ngegazi lemvu. Ngabe abantu abanqotshwa Yimi futhi abangabomndeni Wami asibo laba bantu abadla inyama Yami Imvu, baphuza igazi Lami Imvu, futhi bahlengwa Yimi futhi bangidumisa? Ngabe laba bantu abahlali behambisana nenkazimulo Yami? Ngabe labo abangenayo inyama Yami Imvu sebeminzele ekujuleni kolwandle? Namuhla niphikisana Nami, futhi namuhla amazwi Ami anjengalawo akhulunywa uJehova kumadodana nabazukulu bakwa-Israyeli. Kodwa ubunzima ekujuleni kwezinhliziyo zenu benza ulaka Lwami lunqwabelane, kulethe inhlupheko phezu kwenyama yenu, kwande isijeziso phezu kwezono zenu, futhi kwandise ulaka phezu kokulunga kwenu. Ubani ongasinda ngosuku lolaka Lwami, uma niphatha Mina kanje namuhla? Ubani onokulunga okungaphunyuka emehlweni Ami okusola? Ngezabani izono ezingaphunyuka ezandleni Zami, uSomandla? Ukona kukabani okungaphunyuka ekwahluleleni Kwami, uSomandla? Mina, Jehova, ngikhuluma kuwe, izizukulwane zomndeni Wezizwe, futhi amazwi akhulunywa Yimi kuwe edlula izwi leNkathi Yomthetho neNkathi Yomusa, kodwa ulukhuni ngaphezu kwabantu baseGibhithe. Ngabe awugcini ulaka Lwami njengoba njengoba ngenza ngokunethezeka umsebenzi Wami? Ungaphunyuka kanjani ungalimalanga ngosuku Lwami, uSomandla?

Ngisebenzile futhi ngakhuluma ngale ndlela phakathi kwenu, ngichithe amandla amaningi kanye nomzamo, kodwa-ke wake walalesisa engikutshela kona? Waguqa nini phambi Kwami, uSomandla? Kungani wangiphatha ngale ndlela? Kungani konke okushoyo kuvusa ulaka Lwami? Kungani ninezinhliziyo ezilukhuni kangaka? Ngabe ngake nganibhaxabula? Kungani ningenzi lutho kodwa ningidabukisa futhi ningethusa? Ngabe nilindele usuku lolaka Lwami, uJehova, luze phezu kwenu? Ngabe nilindele Mina ukuthi ngehle ngenyuka ngolaka ngenxa yokungalaleli? Ngabe engikwenzayo kukonke angikwenzeli khona? Kepha bewulokhu uphatha Mina, Jehova, ngale ndlela: weba iminikelo Yami, ugoduka neminikelo ye-altare Lami uyofunza amazinyane kanye nabazukulu bamazinyane esigodlweni esesabekayo; “abantu” bayalwa, bebhekene ngamehlo agcwele ulaka kanye nemikhonto, bejikijela amazwi Ami, uSomandla, endlini yangasese ukuze angcoliswe indle. Buphi ubuqotho bakho? Ubuntu benu sebuwubulwane! Izinhliziyo zenu zaphenduka itshe kudala. Ngabe uyazi ukuthi uma sekufika usuku lolaka Lwami yilapho engiyohlulela ngobubi obenze Kimi, uSomandla namuhla? Ngabe nicabanga ukuthi ngokukhohlisa Mina ngale ndlela, ngokujikijela amazwi Ami emgodini nokungawalaleli—nicabanga ukuthi ngokwenza kanje ngingakuboni ungaphunyuka emlilweni wolaka Lwami? Ngabe niyazi ukuthi seniboniwe amehlo Ami, Jehova, ngenkathi neba iminikelo Yami futhi nithukusa impahla Yami? Ngabe uyazi ukuthi ngenkathi neba iminikelo Yami, kwakuphambi kwe-altare okwenziwa kulo iminikelo? Ningacabanga kanjani ukuthi nihlakaniphe kangangoba ningadukisa Mina ngale ndlela? Ulaka lwami lungasuka kanjani ezonweni zenu ezixakile? Ulaka Lwami lungadlula kanjani phezu kwezenzo zenu zobubi? Isono enisenza namuhla asinivuleli intuba yokuphuma, kodwa sigcina ukusolwa kwenu kwangomuso; siqubula ukusola Kwami, uSomandla, okuqondwe kini. Izenzo zenu kanye namazwi obubi benu kungaphunyuka kanjani ekusolweni Kwami? Imithandazo yenu ingafinyelela kanjani ezindlebeni Zami? Nginganivulela kanjani indlela yenu yokulunga? Ngingahlukana kanjani nezenzo zenu ezimbi ezihlazisa Mina? Ngingadlula kanjani olimini lwenu olunoshevu njengolwenyoka? Aningibizeli ukulunga kwenu, kodwa kunalokho nandisa ulaka Lwami ngenxa yokungalungi kwenu. Nginganixolela kanjani? Emehlweni Ami, uSomandla, amazwi kanye nezenzo zenu kungcolile. Amehlo Ami, uSomandla, abona ukungalungi kwenu njengokusola okungenakuxolelwa. Ukusola Kwami okulungile kanye nokwahlulela kungasuka kanjani kini? Ngoba nenza lokhu Kimi, ningenza ngigcwale ukudabuka nolaka, nginganidedela kanjani ezandleni Zami ukuze niphunyuke kulolo suku mina, Jehova, engizonisola futhi nginiqalekise ngalo? Ngabe anazi ukuthi amazwi enu amabi asefinyelele ezindlebeni Zami? Ngabe anazi ukuthi ukungalungi kwenu sekungcolise ingubo Yami yokulunga? Ngabe anazi ukuthi ukungalaleli kwenu sekungidalele ulaka olukhulu? Ngabe niyazi ukuthi sesi side kakhulu isikhathi ningishiye ngiqhuma, futhi sesi side kakhulu isikhathi ngibekezele? Ngabe niyazi ukuthi senimoshe inyama nempahla Yami? Ngibekezele kwaze kwaba yimanje, kangangoba ngidedele ulaka Lwami, ngeke ngisanibekezelela. Ngabe niyazazi ukuthi izenzo zenu zobubi sezifinyelele emehlweni Ami, futhi ukukhala Kwami sekufinyelele ezindlebeni zikaBaba Wami? Anganivumela kanjani ukuthi niphathe Mina ngale ndlela? Ave umsebenzi enginenzela wona ungowokusiza nina? Kepha obani phakathi kwenu abathanda umsebenzi Wami, Jehova? Ngingakwazi ukungathembeki entandweni kaBaba Wami ngoba ngiyantengantenga, nangenxa yobuhlungu engidlule kubo? Aniyiqondi inhliziyo Yami? Ngikhuluma nani njengoba kwenza uJehova; ukuba anginikezelanga ngokuningi ngenxa yenu? Yize ngizimisele ngokuthwala konke lokhu kuhlupheka ngenxa yomsebenzi kaBaba Wami, ningakhululwa kanjani ekusolweni engizokuletha phezu kwenu ngenxa yokuhlupheka Kwami? Aningithokozelanga? Namuhla, nginikelwe phezu kwenu uBaba; ngabe anazi ukuthi nithola umusa Wami ngokweqile? Ngabe anazi ukuthi impilo Yami yathatha indawo yempilo yenu kanye nezinto enizithokozelayo? Ngabe anazi ukuthi uBaba Wami wasebenzisa impilo Yami ukuze alwe noSathane, kanye nokuthi wanikela ngempilo Yami phezu kwenu, okwenza ukuthi nithole ngokuphindaphindiwe, futhi kwanivumela ukuthi nigweme lezo zilingo? Ngabe anazi ukuthi niyokhululwa ezilingweni eziyinqwaba nasekusolweni okuningi ngenxa yomsebenzi Wami? Ngabe anazi ukuthi Yimi kuphela owenze ukuthi uBaba Wami anivumele ukuze nithokoze kuze kube yimanje? Nihlala kanjani nilukhuni futhi niqine kangaka namuhla, kuze kube sengathi sekumile izingqweqwe phezu kwezinhliziyo zenu? Ububi enibenza namuhla bungaphunyuka kanjani ngosuku lolaka oluzolandela ekuhambeni Kwami emhlabeni? Ngingavuma kanjani ukuthi labo abanezinhliziyo ezilukhuni nezingathambi baphunyuke olakeni lukaJehova?

Cabanga ngesikhathi sakudala: Ngabe ngake ngabuka ngolaka olungaka, futhi nezwi Lami ladlengezela, kini? Ngabe nganicasukela ngokweqile nini? Ngake nginikhuza ngendlela engafanele? Ngake nganikhuza ngqo? Akuve kungenxa yomsebenzi Wami njengoba ngibiza uBaba Wami ukuthi anigcine kuzo zonke izilingo? Kungani nangiphatha ngale ndlela? Ngake ngawasebenzisa amandla Ami ukuze ngishaye inyama yenu? Kungani ningikhokhela ngale ndlela? Emuva kokungivuthela nokubandela, anishisi futhi anibandi, bese nizama ukungikhohlisa nokungifihlela izinto, futhi imilomo yenu igcwele amathe okungalungi. Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungaqola uMoya Wami? Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungaphunyuka olakeni Lwami? Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungadlula ukwahlulelwa kwezenzo Kimi, uJehova, noma kanjani? Ngabe nginguNkulunkulu owahlulelwa umuntu? Ngingavumela isibungu esincane sihlambalaze Mina ngale ndlela? Ngingawadlulisela kanjani la madodana okungalaleli ezibusisweni Zami zengunaphakade? Amazwi nezenzo zenu sekunidalulile futhi kwanilahla kakhulu. Ngenkathi ngelula amazulu, futhi ngadala zonke izinto, angivumelanga lutho oludaliwe ukuthi luzibandakanye ngendlela oludalwe ngayo, kube angivumelanga lutho ukuthi luphazamise umsebenzi Wami kanye nokuphatha Kwami noma ngabe kanjani. Angamukelanga muntu noma lutho; ngangingabayekelelani labo ababi nabangiphatha ngendlela engenabo ubuntu? Bengingabaxolela kanjani labo abahlubuka emazwini Ami? Bengingabayekela kanjani labo abangangilaleli? Impumelelo yomuntu ayikho ezandleni Zami, uSomandla, yini? Ngingasho kanjani ukuthi ukungalungi nokungalaleli kwenu kungcwele? Izono zenu zingabungcolisa kanjani ubungcwele Bami? Angingcoliswa ukungcola kokungalungi, noma ngabe ngithokozela iminikelo yokungalungi. Ukuba benethembekile Kimi, Jehova, beningazihambisela iminikelo e-altare Lami? Beningasebenzisa ulimi lwenu olugcwele ushevu ukuze nithuke igama Lami elingcwele? Beningahlubuka emazwini Ami ngale ndlela? Beningaphatha ubungcwele Bami kanye negama elingcwele njengethuluzi lokusebenzela uSathane, ongomubi? Impilo yami ihlinzekelwa ukuthokozelwa abantu abangcwele. Bengingakuvumela kanjani ukuthi udlale ngempilo Yami nomakanjani, futhi niyisebenzise njengethuluzi lokuxokozela phakathi kwenu? Ningaba kanjani nenhliziyo embi nengenakulunga, eniyibhekise Kimi? Ngabe anazi ukuthi sengizibhalile izinto ezimbi kula mazwi okuphila? Ningalubalekela kanjani usuku lolaka uma sengisola iGibhithe? Ngingakuvumela kanjani ukuba ungiphikise futhi ungedelele ngale ndlela, kuphindelela? Nginitshela ngokucacile, uma sekufika usuku, ukusolwa kwakho kuyobe kungabekezeleleki kakhulu kunalokho kwaseGibhithe! Ningalubalekela kanjani usuku lolaka Lwami? Ngisho ngiyaqinisa: Ukubekezela Kwami kwakulungiselwe izenzo zenu ezimbi, futhi kukhona ukuze nisolwe ngalolo suku. Ngabe anisibo labo abayobhekana nokwahlulela ngolaka uma sengifike ekugcineni kokubekezela Kwami? Ave yonke into isezandleni Zami, uSomandla? Nginganivumela kanjani ukuthi ningangilaleli, ngaphezu kwamazulu? Impilo yenu izoba nzima kakhulu ngoba anikahlangani noMesiya, okwakuthiwe uyofika, kepha ongafikanga. Anizona izitha Zakhe? UJesu belokhu engumngane wenu, kepha niyizitha zikaMesiya. Ngabe anazi ukuthi yize ningabangani baJesu, izenzo zenu ezimbi zigcwalise izintsha zalabo abazondekayo? Yize nisondele kakhulu kuJehova, ngabe anazi ukuthi amazwi enu amabi asefinyelele ezindlebeni zikaJehova futhi aqubula ulaka Lwakhe? Angasondelana kanjani nani, futhi kungani engeke akushisele lezo zitsha zenu, lezo ezigcwele izenzo zobubi? Kungani ebengeke abe yisitha senu?

Okwedlule: Uma Amaqabunga Awile Ebuyela Ezimpandeni Zawo, Uzozisola Ngabo Bonke Ububi Obenzile

Okulandelayo: Umsindisi Usebuyile “Esefwini Elimhlophe”

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp