Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza NgoNkulunkulu

Kungumthetho waseZulwini nesimiso sasemhlabeni ukukholelwa kuNkulunkulu nokwazi uNkulunkulu, kanti namuhla—ngesikhathi lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu enza umsebenzi Wakhe—yisikhathi esihle sokwazi uNkulunkulu. Ukwanelisa uNkulunkulu kwenzeka ngokuba nesisekelo sokuqonda intando kaNkulunkulu, futhi ukuze uqonde intando kaNkulunkulu, kudingeka wazi uNkulunkulu. Lolu lwazi ngoNkulunkulu lungumbono ikholwa okumele libe nawo; luyisisekelo somuntu sokukholelwa kuNkulunkulu. Uma umuntu engenalo lolu lwazi, ngakho ukukholelwa kwakhe kuNkulunkulu kufiphele, futhi kusekelwe entweni engekho. Yize kuyisinqumo sabantu abafana nalaba ukulandela uNkulunkulu, abatholi lutho. Bonke labo abangatholi lutho kulolu quqaba yibo abazosuswa, futhi bangabantu abenza okuncane kakhulu. Noma yisiphi isinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu osibonayo, kumele uhambisane nombono omkhulu. Ngaphandle kombono onjalo, kuzoba nzima kuwe ukwamukela isinyathelo ngasinye smsebenzi omusha, ngoba umuntu akakwazi ukucabanga ngomsebenzi omusha kaNkulunkulu, kungaphezulu kokuqonda komuntu. Kanti ngaphandle komelusi owelusa umuntu, ngaphandle komelusi ohlanganyela ngombono, umuntu akakwazi ukwamukela lo msebenzi omusha. Uma umuntu engayamukeli imibono, ngalokho ngeke awamukele umsebenzi omusha kaNkulunkulu, kanti uma umuntu engakwazi ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu omusha, khona-ke umuntu akakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu, ngalokho ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu alulingani nalutho. Ngaphambi kokuba umuntu enze amazwi likaNkulunkulu, kumele awazi amazwi kaNkulunkulu, lokhu kusho ukuthi, kumele aqonde intando kaNkulunkulu; yingale ndlela kuphela amazwi kaNkulunkulu angenziwa ngayo ngendlela eyiyo nangokwenhliziyo kaNkulunkulu. Wonke umuntu ofuna iqiniso kumele abe nakho lokhu, kanti futhi kuyinqubo okumele wonke umuntu ozama ukwazi uNkulunkulu adlule kuyo. Inqubo yokwazi amazwi kaNkulunkulu kuyinqubo yokwazi uNkulunkulu, futhi kuyinqubo yokwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Ngalokho, ukwazi imibono akubhekiseli nje kuphela ekwazini ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa kubandakanya ukwazi amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu. Ngamazwi kaNkulunkulu abantu bakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu, kanti ngomsebenzi kaNkulunkulu bakwazi ukwazi isimo sikaNkulunkulu nokuthi uyini uNkulunkulu. Ukukholelwa kuNkulunkulu kuyisinyathelo sokuqala sokwazi uNkulunkulu. Inqubo yokukhula ekukholweni kokuqala kuNkulunkulu kuye ekukholweni okujulile kuyinqubo yokwazi uNkulunkulu, kanye nenqubo yokubona umsebenzi kaNkulunkulu. Uma ukholelwa kuphela kuNkulunkulu ngoba wenza nje ukukholelwa kuNkulunkulu, futhi ungakholelwa kuNkulunkulu ukuze wazi uNkulunkulu, khona-ke alikho iqiniso ekukholweni kwakho, futhi ngeke kuhlanzeke—angingabazi ngalokhu. Uma, ngesikhathi ebona uNkulunkulu, umuntu eqala kancane kancane ukwazi uNkulunkulu, khona-ke nesimo sakhe sizoshintsha kancane kancane, nokukholwa kwakhe kukhule kube okweqiniso. Ngale ndlela, uma umuntu ephumelela ekukholweni kuNkulunkulu, uzozuza uNkulunkulu ngokugcwele. UNkulunkulu uze waba nenyama okwesibili futhi wenza nomsebenzi Wakhe Yena uqobo ukuze abantu bamazi, futhi bakwazi nokumbona. Ukwazi uNkulunkulu[a] umphumela wokugcina okumele kufezeke ekugcineni komsebenzi kaNkulunkulu; kuyimfuneko yokugcina kaNkulunkulu esintwini. Ukwenza lokhu ngenxa yobufakazi Bakhe bokugcina, nokuthi umuntu ekugcineni aphendukele Kuye ngokuphelele. Umuntu angathanda kuphela uNkulunkulu ngokwazi uNkulunkulu, futhi ukuze athande uNkulunkulu kumele amazi uNkulunkulu. Noma ngabe umfuna ngayiphi indlela, noma uhlose ukuzuzani, kumele akwazi ukufinyelela ekwazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu enganelisa inhliziyo kaNkulunkulu. Kungokwazi uNkulunkulu kuphela lapho umuntu engakholelwa khona kuNkulunkulu, futhi kungokwazi uNkulunkulu kuphela lapho umuntu engakhonza futhi alalele khona uNkulunkulu. Labo abangamazi uNkulunkulu angeke bamlalele futhi bamkhonze ngeqiniso uNkulunkulu. Ukwazi uNkulunkulu kubandakanya ukwazi isimo sikaNkulunkulu, ukuqonda intando kaNkulunkulu, ukwazi ukuthi uyini uNkulunkulu. Kodwa noma ngabe iyiphi ingxenye yokwazi uNkulunkulu, konke kudinga ukuthi umuntu akhokhe, kudinga intando yokulalela, ngaphandle kwakho akekho ongalandelela kuze kube sekugcineni. Umsebenzi kaNkulunkulu awuqhathaniswa nemibono yomuntu, isimo sikaNkulunkulu nalokhu uNkulunkulu ayikho izinto ezinzima ukuthi umuntu angazazi, kanti konke uNkulunkulu akushoyo nakwenzayo umuntu akakwazi ukukuqonda; uma umuntu efisa ukulandela uNkulunkulu, kodwa engafuni ukulalela uNkulunkulu, kusho ukuthi umuntu ngeke azuze lutho. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube yinamuhla, uNkulunkulu wenze umsebenzi omningi ongaqondakali kubantu futhi abantu abakuthole kunzima ukuba bawamukele, kanti futhi uNkulunkulu usesho okuningi okwenza ukuthi kube nzima ukuba imibono yomuntu yelapheke. Kodwa yize kunjalo akakaze awuyeke umsebenzi Wakhe ngenxa nje yokuthi abantu banobunzima obukhulu; uqhubekile wasebenza waqhubeka wakhuluma, yize noma “amabutho” amaningi esale endleleni, usawenza umsebenzi Wakhe, usaqhubeka nokukhetha amaqembuqembu abantu abafuna ukulalela umsebenzi Wakhe omusha. Akawazweli lawo “maqhawe” awile, kodwa bayigugu Kuye labo abemukela umsebenzi Wakhe omusha namazwi Akhe. Kodwa uzofika kuphi esebenza ngale ndlela, isinyathelo nesinyathelo? Kungani elokhu esusa aphinde akhethe abantu? Kungani elokhu esebenzisa le ndlela? Inhloso yomsebenzi Wakhe ukuthi abantu bamazi, bese bezuzwa Nguye. Umgomo womsebenzi Wakhe ukusebenza kulabo abakwaziyo ukulalela umsebenzi awenza namuhla, ukungasebenzi kulabo abalalela umsebenzi Wakhe odlule, kodwa bephikisa umsebenzi Wakhe wanamuhla. Yiso lesi isizathu esenza ukuba asuse abantu abaningi kangaka.

Imiphumela yesifundo sokwazi uNkulunkulu ngeke kufikwe kuyo ngosuku olulodwa noma ezimbili: Umuntu kumele kube khona akuqoqayo akwaziyo, adlule ekuhluphekeni, alalele ngeqiniso. Okokuqala, qala ngomsebenzi namazwi kaNkulunkulu. Kumele uqonde ukuthi ukwazi uNkulunkulu kubandakanya ini, uluthola kanjani ulwazi lukaNkulunkulu, nokuthi umbona kanjani uNkulunkulu ngesikhathi kwenzeka izinto kuwe. Lokhu yilokhu wonke umuntu okumele akwenze uma besafuna ukwazi uNkulunkulu. Akekho umuntu ongabamba umsebenzi namazwi kaNkulunkulu zibekwa nje, futhi akekho noyedwa ongaba nolwazi lukaNkulunkulu ngokuphelele ngesikhathi esincane. Okudingekayo inqubo yokubona nokudlula ezintweni, ngaphandle kwalokho akekho namunye ozoba nolwazi ngoNkulunkulu noma alandele uNkulunkulu ngeqiniso. Uma uNkulunkulu enza umsebenzi omningi, kulapho abantu bemazi kangcono. Ngenkathi umsebenzi kaNkulunkulu ungavumelani nokuqonda kwabantu, kulapho ulwazi lomuntu Ngaye luvuseleleka futhi lujula. Uma umsebenzi kaNkulunkulu ubungahlala ungashintshi, khona-ke umuntu ubengaba nolwazi oluncane ngoNkulunkulu. Kusuka ekudalweni komhlaba kuze kube namuhla, kumele niyazi kahle imibono yalokhu uNkulunkulu akwenza ngesikhathi seNkathi Yomthetho, lokhu akwenza ngeNkathi Yomusa, nalokhu akwenzayo ngesikhathi seNkathi Yombuso. Kumele nazi umsebenzi kaNkulunkulu. UPetru wazi ukuthi ungakanani umsebenzi uMoya owawenza kuJesu ngemva kokumlandela kancane kancane uJesu. Wathi, “Ukuncika ekuqondeni kwabantu akwanele ukufinyelela ekwazini ngoNkulunkulu; kumele kube khona izinto eziningi ezintsha emsebenzini kaNkulunkulu okuzosilekelela ukuba sazi uNkulunkulu.” Ekuqaleni uPetru wayekholelwa ukuthi uJesu wayethunyelwe uNkulunkulu, njengomphostoli, akazange ambone uJesu njengoKristu. Ngalesi sikhathi, lapho eqala ukulandela uJesu, uJesu wambuza, “Simoni, ndodana kaJona, uzongilandela na?” UPetru wayesethi, “Kumele ngilandele lowo othunyelwe uBaba osezulwini. Kufanele ngamukele lowo okhethwe uMoya oNgcwele. Ngizokulandela.” Emazwini akhe, kuyabonakala ukuthi uPetru wayengenalwazi ngoJesu; ubewabonile amazwi kaNkulunkulu, amsebenzile, futhi wabhekana nobunzima ngoNkulunkulu, kodwa ubengawazi umsebenzi kaNkulunkulu. Ngemva kokubona, uPetru wabona kuJesu imisebenzi eminingi kaNkulunkulu, wabona uthando lukaNkulunkulu, wabona okuningi kukaNkulunkulu kukuJesu. Waphinde wabona nokuthi amazwi kaJesu abengeke akhulunywe umuntu, nokuthi umsebenzi owenziwa uJesu ubungeke wenziwe umuntu. Ngamazwi nokwenza kukaJesu, uma kuqhubeka, uPetru wabona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, nomsebenzi omkhulu waphezulu. Ngesikhathi kwenzeka lezi zinto ezibona, akazange nje azazi yena, kodwa wagxila ekubhekeni izinto ezenziwa nguJesu, lapho abona khona izinto eziningi ezintsha; ngokwesibonelo, maningi amazwi achaza uNkulunkulu osebenzayo emisebenzini eyenziwa uJesu, nokuthi amazwi kaJesu, akwenza, indlela alusa ngayo amabandla kanye nomsebenzi awenza kwakuhlukile kunokomuntu ojwayelekile. Ngalokho, wafunda izifundo eziningi okwakufanele azifunde kuJesu, kwathi ngesikhathi uJesu esezobethelwa esiphambanweni, wayesenalo ulwazi oluthile ngoJesu—ulwazi olwaluyisisekelo sokuthembeka impilo yakhe yonke kuJesu, nokubethelwa abheke ezansi ngenxa kaJesu. Wayenemibono ethile, kodwa enganalo kahle ulwazi ngoJesu ekuqaleni, kodwa izinto ezifana nalezi ngeke ungazitholi kumuntu owonakele. Uthe esezohamba, uJesu watshela uPetru ukuthi ukubethelwa Kwakhe kwakungumsebenzi ayezele ukuzowenza; kumele ashiywe iminyaka, le minyaka engcolile emidala kumele imbethele esiphambanweni, futhi uzele ukuzophelelisa umsebenzi wokuhlenga, uma esewuqedile umsebenzi Wakhe, inkonzo Yakhe izopheleliswa. Uthe ukuzwa lokhu, uPetru wagcwala usizi, futhi wazinikela kakhulu kuJesu. Uma uJesu esebethelwe esiphambanweni, uPetru wakhala kabuhlungu ngasese. Ngaphambi kwalokhu, ubeke wabuza uJesu ukuthi, “Nkosi yami! Uthi uzobethelwa. Uma usuhambile, sizokubona nini futhi?” Akukho okuyingxube emazwini awakhulumile? Akuyona imibono yakhe? Enhliziyweni yakhe, wayazi ukuthi uJesu uze ukuzophelelisa ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, nokuthi ngemva kokuhamba kukaJesu, uMoya uzoba naye; yize ezobethelwa esiphambanweni anyukele ezulwini, uMoya kaNkulunkulu uzoba naye. Ngaleso sikhathi, wayesenalo ulwazi lukaJesu, azi futhi ukuthi uthunywe nguMoya kaNkulunkulu, nokuthi uMoya kaNkulunkulu ubungaphakathi Kuye, nokuthi uJesu unguNkulunkulu Ngokwakhe, wayenguKristu. Kodwa ngenxa yothando lwakhe ngoJesu, nobuthakathaka bakhe bokuba ngumuntu, uPetru washo la magama. Uma ungadlula futhi ubone zonke izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, uzokwazi ukuthola uthando lukaNkulunkulu. Wawuyini umbono kaPawulu? Ngenkathi uJesu evela kuye, uPawulu wathi, “Ungubani, Nkosi?” uJesu waphendula wathi, “NginguJesu omzingelayo wena.” Lo kwakungumbono kaPawulu. UPetru wasebenzisa ukuvuka kukaJesu nokuvela Kwakhe kwezinsuku ezingama-40, nozimfundiso zikaJesu ngesikhathi Sakhe, njengombono wakhe kwaze kwaba sekugcineni kwendlela yakhe.

Umuntu uyambona uNkulunkulu, azazi, ayeke isimo sakhe sokukhohlakala, afune ukukhula empilweni ngoba efuna ukwazi uNkulunkulu. Uma ufuna ukuzazi wena kuphela ubhekane nesimo sakho esikhohlakele, futhi ungenalwazi lokuthi uNkulunkulu wenza msebenzi muni kumuntu, ukuthi yinhle kanjani insindiso Yakhe, noma umbona kanjani uNkulunkulu ufakazele izenzo zikaNkulunkulu, kusho ukuthi ukubona kwakho kuwubuwula. Uma ucabanga ukuthi ukuze ukwazi ukwenza iqiniso, nokuthi ukwazi ukubekezela kusho ukuthi umuntu usekhulile, lokhu kusho ukuthi awukayazi incazelo yempilo, futhi awukayiqondi injongo kaNkulunkulu ekusebenzeni kumuntu. Ngelinye ilanga, uma usemabandleni enkolo, phakathi kwamalungu eBandla Lokuphenduka noma iBandla Lempilo, uzohlangana nabantu abaningi abazinikele nabamikhuleko yabo inamaphupho, nalabo abazizwa bethintiwe nabanamazwi abaqondisayo ngenkathi belandela impilo. Okukhulu ukuthi, kwezinye izinto bayakwazi ukubekezela, futhi bazidele, bengaholwa yinyama. Ngaleso sikhathi, angeke ukwazi ukubona umehluko: Uzokholelwa ukuthi konke abakwenzayo kuyikho, yiyona ndlela yokuchaza impilo, kodwa kubuhlungu ukuthi igama abakholelwa kulo alisilo. Ngabe izinkolelo ezinjalo azibona ubuwula? Kungani kuthiwa abantu abaningi abanayo impilo? Ngoba abamazi uNkulunkulu, ngalokho kuthiwa abanaye uNkulunkulu, futhi abanayo impilo. Uma ukukholelwa kwakho kuNkulunkulu sekufike endaweni ethile lapho usuyazi kahle imisebenzi kaNkulunkulu, iqiniso likaNkulunkulu, nazo zonke izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu, kusho ukuthi uneqiniso. Uma ungawazi umsebenzi nesimo sikaNkulunkulu, kusho ukuthi kusakhona okumelwe ukufunde. Ukuthi uJesu wasenza kanjani lesi sigaba somsebenzi Wakhe, ukuthi senziwa kanjani lesi sigaba, ukuthi uNkulunkulu wawenza kanjani umsebenzi Wakhe ngeNkathi Yomusa nokuthi msebenzi muni owenziwa, nokuthi msebenzi muni owenziwayo ngalesi sigaba—uma ungenalwazi ngalezi zinto, ngeke uzizwe uqinisekile futhi uphephile. Uma, ngemva kwesikhathi sokubona, ukwazile ukwazi umsebenzi owenziwe uNkulunkulu nesinyathelo somsebenzi kaNkulunkulu, futhi uzazi kahle izinhloso zamazwi kaNkulunkulu, nokuthi kungani amazwi amaningi akhulunywe Nguye engakagcwaliswa, khona-ke uzokhululeka uqhubeke nendlela eya phambili, ukhululeke ekukhathazekeni noma ekuthuthukeni. Kumelwe nibone ukuthi uNkulunkulu usebenzisani ukuze afeze umsebenzi Wakhe ongaka. Usebenzisa amazwi awakhulumayo, ecwenga umuntu futhi eshintsha nemibono yomuntu acabanga ngayo ngamazwi amaningi ahlukene. Konke ukuhlupheka enikubekezelele, konke ukucwengwa enidlule kukho, ukubhekana enikuvume ngaphakathi ukukwenza, ukukhanyiseleka lokhu enikubonile—konke kwenzeke kusetshenziswa amazwi akhulunywe nguNkulunkulu. Kungani umuntu emlandela uNkulunkulu? Kungenxa yamazwi kaNkulunkulu! Amazwi kaNkulunkulu ayimfihlakalo ejulile, futhi ayayithinta inhliziyo yomuntu, aveze izinto ezisekujuleni kwenhliziyo yomuntu, angamenza azi izinto ezenzeka esikhathini esedlule, aphinde amenze abone ikusasa. Ngakho-ke abantu babekezelela ukuhlupheka ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, futhi bapheleliswa ngenxa yamazwi kaNkulunkulu, kulapho-ke lapho umuntu elandela khona uNkulunkulu. Okumele umuntu akwenze ngalesi sigaba ukwamukela amazwi kaNkulunkulu, ngale kokuthi uphelelisiwe, noma ucwengiwe, okubalulekile amazwi kaNkulunkulu; lona ngumsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngumbono umuntu okumele awazi namuhla.

UNkulunkulu umphelelisa kanjani umuntu? Siyini isimo sikaNkulunkulu? Futhi yini esesimweni Sakhe? Lokhu konke kumele kuqondwe; lokhu kusabalalisa igama likaNkulunkulu, kungubufakazi kuNkulunkulu, kuphakamisa uNkulunkulu, futhi umuntu ekugcineni uzobe esekwazi ukuthi athole ukushintsha isimo sakhe ngesisekelo sokwazi uNkulunkulu. Lokhu kulungiswa nokucwengwa umuntu adlula kukho, uba namandla amakhulu, nezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu ziba ziningi, umuntu naye upheleliswa ngokwengeziwe. Namuhla, ngokubonwe umuntu, isinyathelo ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu sibuyela emuva ekudalweni komuntu, futhi isinyathelo ngasinye awusoze wasicabanga ngobuhlakani bomuntu, futhi kungaphezulu kwalokho akulindele. UNkulunkulu unikeza konke umuntu akudingayo, futhi kuzo zonke izindlela lokhu kuphambene nombono wakhe, futhi uma ubuthakathaka, uNkulunkulu ukhuluma amazwi Akhe; kungale ndlela kuphela lapho engakunika khona ukuphila. Ngokuphindela emuva emibonweni yakho, uyakwazi ukwamukela okwenziwa uNkulunkulu, futhi kungale ndlela kuphela lapho ungaqeda khona inkohlakalo yenu. Namuhla, kahle hle uNkulunkulu osesimweni somuntu usebenza ngobunkulunkulu, kanti kokunye usebenza njengomuntu ojwayelekile. Akumele uphike nowodwa womsebenzi owenziwa nguNkulunkulu, futhi kumelwe ulalele noma yini eshiwo nguNkulunkulu noma akwenzayo njengomuntu ojwayelekile, nanoma ngabe ubukeka ejwayeleke kanjani, kumelwe ulalele futhi uqonde. Uma usubone kahle kulapho uzokwazi khona ngokuqinisekile ukuthi unguNkulunkulu, uyeke ukuba nemibono, ulandele Yena kuze kube sekupheleni. Kunokuhlakanipha emsebenzini kaNkulunkulu, futhi uyazi ukuthi umuntu angaba kanjani ufakazi Ngaye. Uyazi ukuthi umuntu ubuthakathaka kuphi, kanti namazwi awakhulumayo angakuthinta ezindaweni ezibuthakathaka, kodwa futhi usebenzisa ubukhulu Bakhe namazwi anokuhlakanipha ukuze akwenze ube ngufakazi Wakhe. Lezi yizimangaliso ezenziwa nguNkulunkulu. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu ingqondo yomuntu ayikwazi ukuwuqonda. Ukwahlulela kukaNkulunkulu kuveza izinhlobo zenkohlakalo umuntu wenyama anazo, nokuthi yiziphi izinto ezingumongo womuntu, kushiye umuntu ephelelwe amahlathi okucashela amahlazo akhe.

UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini. Ushintsho lwenzeka esimweni somuntu ngemisebenzi eyehlukene kaNkulunkulu; ngaphandle kwalolu shintsho esimweni somuntu, abantu ngeke bakwazi ukuba ngofakazi baNkulunkulu, futhi ngeke bayifune inhliziyo kaNkulunkulu. Ushintsho esimweni somuntu lukhombisa ukuthi abantu bazikhululile emaketangeni kaSathane, bazikhululile ekuthonyweni ngubumnyama, sebebe umfanekiso womsebenzi kaNkulunkulu, sebebe ngofakazi bakaNkulunkulu futhi bangabantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu osesimweni somuntu uze ukuzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi udinga ukuba abantu bamazi, bamlalele, babe ofakazi Bakhe—bazi umsebenzi Wakhe awenzayo nojwayelekile, balalele wonke amazwi Akhe nomsebenzi ongahambisani nemibono yomuntu, futhi babe ofakazi kuwo wonke umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu, nakho konke akwenzayo ukuze anqobe umutu. Labo abangofakazi baNkulunkulu kumele bamazi uNkulunkulu; yilolu hlobo kuphela lobufakazi obuqondile, nobuyiqiniso, futhi yilolu hlobo kuphela lobufakazi obungahlazisa uSathane. UNkulunkulu usebenzisa labo abamaze ngokwahlulelwa nokusolwa Nguye, wabasebenza futhi wabathena, ukuthi babe ngofakazi Bakhe. Usebenzisa labo abakhohlakaliswe nguSathane ukuba bafakaze Ngaye, futhi uphinde asebenzise labo abanesimo esiguqukile, nalabo abazuze izibusiso Zakhe, ukuba bafakaze Ngaye. Akadingi ukuba abantu bamdumise ngamazwi kuphela, futhi akadingi ukudunyiswa nobufakazi benzalo kaSathane, abangasindiswanga Nguye. Yilabo abazi uNkulunkulu kuphela abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, nalabo isimo sabo esiguqukile abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi uNkulunkulu angeke avume ukuthi abantu bahlambalaze igama Lakhe ngamabomu.

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Umsebenzi wokwazi uNkulunkulu.”

Okwedlule: Inkulumo Emfishane Mayelana Nombhalo Othi “Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile”

Okulandelayo: Indlela UPetru Amazi Ngayo UJesu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp