Ukwenza (1)

Esikhathini esedlule, bekunokuchezuka okuningi ngendlela abantu ababebona ngayo izinto, futhi bekungaba okungenangqondo. Ngenxa yokuthi babengawaqondi amazinga okudingakalayo zikaNkulunkulu, bekunezindawo eziningi lapho izinto abantu abazenzayo zahamba ngokungafanele. UNkulunkulu ufuna abantu baphile ngobuntu obujwayelekile. Ngokwesibonelo, izindlela zabantu besimanje mayelana nokudla nezingubo abazigqokayo. Bangase bagqoke isudi nothayi futhi bangase bafunde okuthile ngobuciko besimanje, futhi ngesikhathi abangenzi lutho ngaso bangase babe nalokho esingakubiza ngempilo yokufunda neyokuzijabulisa. Bangase bathathe izithombe eziyizikhumbuzo futhi bangase bafunde bathole ulwazi oluthile, futhi uma kulinganiswa babe nendawo enhle yokuphila. Lokhu ukuphila okuvumelana nobuntu obujwayelekile, noma kunjalo abantu bakubona njengento enengekayo kuNkulunkulu. Indlela abenza ngayo ukuthi balandele imithetho embalwa, futhi lokhu kubenza baphile impilo engasho lutho njengomsele wamanzi, engenayo nhlobo injongo. Eqinisweni, uNkulunkulu akakaze afune abantu benze lokho. Abantu bafisa ukulinganisela izimilo zabo, ukuthandaza ngokungenamkhawulo emoyeni wabo ukuze babe seduze noNkulunkulu, ngokuqhubekayo izingqondo zabo zicabanga kakhulu ngezinto zikaNkulunkulu, ngokuqhubekayo amehlo abo abheke okuthile, babheke lokhu nalokhuya, besaba kakhulu ukuthi ukuxhumana kwabo noNkulunkulu ngandlela thile kuzophazamiseka. Lezi yizo zonke izinto abantu abazihlanganisele zona; ziyimithetho ebekelwe abantu ibekwa abantu ngokwabo. Uma ungakuqondi lokho oyikho ngempela noma izinga wena ngokwakho ongalifinyelela, ngakho ngeke ukwazi ukuthola ngempela amazinga alokho uNkulunkulu akufuna kumuntu, futhi ngeke ukwazi ukuzuza ukwenza umsebenzi ngendlela efanele. Ingqondo yakho ihlale iya le nale, ucabanga ngayo yonke indlela ongase ufunde futhi uzinqumele ngayo indlela ongahamba ngayo emhlabeni futhi ukhanyiselwe uMoya Ongcwele, ngomphumela wokuthi ufingqe iqoqo lezindlela ongenza ngazo ocabanga ukuthi zingakusiza ukwazi ukungena. Lapho wenza ngale ndlela, awukwazi ngempela lokho uNkulunkulu akufuna kuwe; umane nje wenza ngendlela yakho, uzizwa ukhululeke ngokuphelele, awunandaba nomphumela futhi awunandaba nokuthi kukhona okuchezukile noma amaphutha kokwenzayo. Njengoba wenza kanje, indlela owenza ngayo intula izinto eziningi ezinkulu, njengokuvunyelwa uNkulunkulu, ukuvumelana noMoya Ongcwele nomphumela otholakala ngokwenza okufunwa uNkulunkulu. Ize intule ubuntu obujwayelekile noma indlela yokucabanga yomuntu ovamile. Indlela owenza ngayo imane iwukulandela imithetho, noma nguwe owandisa ngamabomu umthwalo wakho ukuze uzikhawulise, uzilawule. Noma kunjalo ucabanga ukuthi le ndlela owenza ngayo iyona yona, ube ungazi ukuthi okuningi kwalokho okwenzayo kuyinqubo noma ukubona okungenasidingo. Baningi abenze ngale ndlela iminyaka eminingi ngaphandle kwenguquko ezimilweni zabo, ngaphandle kokuqonda okusha, futhi abangenayo indlela entsha yokungena. Ngokungazi bavumela izimo zabo ezinesihluku, kuze kube sesigabeni lapho kunezikhathi eziningi benza izinto ezingenangqondo, ezinonya nezikhathi eziningi lapho benza izinto ezishiya abantu bekhexile nezingaqondakali. Ingabe lolu uhlobo lomuntu oye waguquka?

Manje, uma kulinganiswa, abantu bathandaza kancane kunangesikhathi esedlule njengoba manje kungeyona inkathi yokucinga nokuzinqumela. Manje yinkathi yesambulo, yiNkathi Yombuso, ukuphila kokuqondisisa lapho abantu betshelwe ngokucacile zonke izinto, futhi abantu abashiywanga bengazi ukuthi benzeni ekuphileni. Ngokuphathelene nokuphathelene znomshado, izindaba zezwe, ukuphila, ukudla, okokugqoka nendawo yokuhlala, ubudlelwane nabanye abantu, ukuthi umuntu angenza kanjani ngendlela ehambisana nentando kaNkulunkulu, indlela umuntu angalahla ngayo inyama…, yikuphi kulokhu ongakatshelwa ngakho? Ingabe usadinga ukuhamba uyocinga? Ingabe usadinga ukuthandaza? Asikho ngempela isidingo! Uma usazenza lezi zinto, awumane yini futhi ugcina nje icala? Akudingekile! Okubalulekile ukuthi kufanele ukuxazulule yini noma cha. Abanye abantu benza icala ngamabomu, futhi bazi kahle kamhlophe ukuthi ukuhamba ngezindlela zezwe akukuhle, ukuthi kusho ukulahlekelwa ukuphila futhi kubambezela inqubekela phambili empilweni, noma kunjalo bayaqhubeka bekwenza, futhi bakwenza ngemva kokuthandaza nokucinga. Akukhona yini lokhu ukwenza icala ngamabomu? Njengalabo abakhanukela ukuzijabulisa ngezifiso ezingokwenyama nokubambelela engcebweni, babe sebethandaza kuNkulunkulu bathi: “Nkulunkulu! Ingabe uyangivumela ukuba ngibambelele ekuzijabuliseni ngezifiso zenyama nokubambelela engcebweni? Ingabe kuyintando Yakho ukuba ngithole imali ngale ndlela?” Ingabe yindlela efanele le yokuthandaza? Uma bazi kahle kamhlophe ukuthi uNkulunkulu akajabuli ngalezi zinto ngakho kufanele baziyeke, kodwa lezi zinto zigxilile ezinhliziyweni zabo futhi bayathandaza, bacinge ukuze baphoqe uNkulunkulu ukuba abavumele futhi abaphendule. Bese kuba nalabo abafuna abazalwane nodade abasebandleni ukuba babe sohlangothini lwabo futhi bazimisele imibuso yabo ezimele. Wazi kahle ukuthi izenzo ezinjalo ziwukwedelela uNkulunkulu, noma kunjalo usaqhubeka nokucinga nokuthandaza kuNkulunkulu. Awudeli futhi, lapho wenza izinto ezinjengalezi, usabonakala ungesabi futhi uthandaza ngokuzithoba kuNkulunkulu. Awunamahloni ngempela! Ngokuqondene nokuhamba ngezindlela zezwe, sekunesikhathi eside kushunyayelwa ngakho. UNkulunkulu uyakwenyanya lokhu, noma kunjalo usathandaza, uthi: “O Nkulunkulu! Ingabe uyangivumela ukuba ngihambe ngendlela yezwe? Ngingakwazi yini ukwenza intando yakho ngale ndlela? Empeleni, izinhloso zami zilungile. Lokhu angikwenzeli inyama; ngikwenzela ukuba ngingalitheli ngehlazo igama Lakho, ngikwenzela inkazimulo Yakho, ukuze abantu bezwe babone inkazimulo Yakho ngami.” Ingabe le ndlela yokuthandaza ayiwona umbhedo? Awunawo yini amahloni? Awusona yini isiwula esizedlula zonke uma ucabanga ukuthi kubalulekile ukwenza lento? Awuzimisele ukuphila impilo enokukhanya, kunalokho unambitha ngamabomu impilo yobumnyama nokuhlupheka. Ngakho awuziceleli nje ukuhlupheka? Uye watshelwa ukuthi uphile kanjani impilo engokomoya, ukuphila kobuntu obujwayelekile futhi uye watshelwa ngazo zonke izibonakalo zeqiniso. Uma ungakuqondi okuthile mane ukubheke ngqo. Usakudinga yini ukuvala amehlo akho uthandaze? Uma usacinga ngokuphakamisela amehlo akho ezulwini, ingabe awuqhubeki yini nokukholelwa kuNkulunkulu ongaqondakali? Phambilini uyibonile imiphumela yokucinga kwakho nokuthandaza futhi uMoya Ongcwele ngandlela thile wanyakazisa umoya wakho ngoba ngaleso sikhathi kwakuyiNkathi Yomusa. Wawungakwazi ukubona uNkulunkulu ngakho ayikho enye indlela owawungenza ngayo ngaphandle kokuzinqumela nokuyocinga leyo ndlela. Manje uNkulunkulu uye wafika ebantwini futhi uLizwi uye wabonakala enyameni. Manje usungakwazi ukubona uNkulunkulu, futhi uMoya Ongcwele awusasebenzi ngendlela obusebenza ngayo esikhathi esedlule. Inkathi isiguqukile kanjalo nendlela uMoya Ongcwele osebenza ngayo. Nakuba kungathi umthandazo ungenziwa kancane kunangesikhathi esedlule, ngenxa yokuthi uNkulunkulu usemhlabeni abantu manje sebenethuba lokuthanda uNkulunkulu. Abantu bangene enkathini yokuthanda uNkulunkulu futhi ngaphakathi kubo banokusondelana okufanele noNkulunkulu: “O Nkulunkulu! Umuhle ngempela, futhi ngizimisele ukukuthanda!” Amagama ambalwa acacile nalula abonisa uthando ngoNkulunkulu enhliziyweni yakho futhi lokhu kujulisa kuphela uthando phakathi kwakho noNkulunkulu. Ngezinye izikhathi ungase uzibone uveza ukuvukela, uthi: “O Nkulunkulu! Kungani ngonakele kangaka!” Ufuna ngempela ukuzishaya, unezinyembezi emehlweni. Ngalesi sikhathi, inhliziyo yakho izizwa izisola futhi icindezelekile kodwa awukwazi ukukuveza lokho. Lena yimisebenzi yamanje kaMoya Ongcwele, kodwa lokhu ngokuthile okungatholwa kuphela yilabo abafuna ukuphila. Uzwa sengathi uNkulunkulu ukuthanda kakhulu futhi unomuzwa okhethekile. Nakuba ungenawo amazwi okuthandaza ngokucacile, uhlala uzwa ukuthi uthando lukaNkulunkulu lujule njengolwandle. Awekho amazwi afanele okuveza lesi simo, futhi lesi yisimo esivame ukuvela emoyeni. Lolu hlobo lokuthandaza nokuhlangana olungaphakathi enhliziyweni yakho oluhlose ukukusondeza kuNkulunkulu luvamile.

Nakuba sesedlulile isikhathi lapho abantu bekufanele baphuthaze futhi bafune, lokho akusho ukuthi akusafanele bathandaze futhi bafune, kube kungasho ukuthi abantu akudingeki balinde intando kaNkulunkulu ukuba izibonakalise ngaphambi kokuqhubeka nomsebenzi; lena kumane kuyimibono ethile yabantu. UNkulunkulu uye weza ebantwini ukuze aphile nabo futhi abe ukukhanya kubantu, ukuphila kwabantu nendlela yabantu, futhi lokhu kuyiqiniso. Yebo, ekuzeni kukaNkulunkulu emhlabeni, ngokuqinisekile uletha kubantu indlela esebenzayo nokuphila okufanele isimo sabo ukuze bakuthokozele—akezelanga ukubhidliza zonke izindlela zokwenza komuntu. Abantu abasaphili ngokuzinqumela nokucinga ngoba lokhu kuye kwathathelwa indawo ukuza kukaNkulunkulu emhlabeni ukuzofeza nokukhuluma izwi laKhe. Uzele ukuzokhulula abantu ekuphileni okumnyama bhuqe futhi abanikeze ukuphila kokukhanya. Imisebenzi yamanje eyokukhomba ngokucacile izinto ezithile, ukukhuluma ngokucacile, ukutshela abantu ngokuqondile nokuchaza izinto ngokusobala, ukuze abantu bakwazi ukuzenza lezi zinto. Njengoba nje uJehova ahola abantu bakwa-Israyeli, ebatshela indlela yokwenza imihlatshelo nendlela yokwakha ithempeli, ngakho anisadingi ukuphila impilo yokucinga ngendlela enanenza ngayo ngemva kokuhamba kweNkosi uJesu. Ingabe kuyadingeka ukuba uzinqumele imisebenzi yesikhathi esizayo yokusabalalisa ivangeli? Ingabe kuyadingeka ukuba uzinqumele ukuze wazi ukuthi kufanele uphile kanjani? Ingabe kuyadingeka ukuba uzinqumele ukuze wazi ukuthi kufanele uyenze kanjani imisebenzi yakho? Ingabe kuyadingeka ukuba ulale phansi emhlabathini futhi ucinge ukuze wazi ukuthi ungabunikeza kanjani ubufakazi? Ingabe kuya dingeka ukuba uzile ukudla futhi uthandaze ukuze wazi indlela okufanele ugqoke noma uphile ngayo? Ingabe kuyadingeka ukuba uphikelele nokuthandaza kuNkulunkulu osezulwini ukuze wazi indlela yokwamukela ukunqotshwa? Ingabe kuyadingela ukuba uthandaze ngokungaphezi usuku lonke nobusuku bonke ukuze wazi indlela okufanele ulalele ngayo? Kunabaningi phakathi kwenu abathi awukwazi ukwenza ngoba awuqondi. Ngempela abantu abayinakile imisebenzi namuhla! Eziningi zalezi zinto ngiye ngazisho esikhathini eside esedlule, ukuthi nje aninakanga, akumangazi ukuthi anazi. Yebo, enkathini yamanje uMoya Ongcwele usaqhubeka nokushukumisa abantu ukuba bakuvumele ukuba nomuzwa wenjabulo, futhi uMoya Ongcwele uphila nabantu. Lokhu kuwumthombo waleyo[a] mizwa ekhethekile nejabulisayo evame ukwenzeka ekuphileni kwakho. Ngezikhathi ezithile kuba nosuku lapho uzizwa sengathi uNkulunkulu uthandeka kakhulu futhi ingekho into ongayenza kodwa ukuba uthandaze kuNkulunkulu: “O Nkulunkulu! Uthando Lwakho luhle kakhulu futhi umfanekiso Wakho mkhulu kakhulu. Ngifisa ukukuthanda ngokujule kakhulu. Ngifisa ukuzinikela ngokuphelele ukuze ngikusebenzise ukuphila kwami konke. Uma nje ngikwenzela Wena, ngifisa ukukunika konke Kuwe, ukuze nje ngikuthande….” Lona umuzwa wenjabulo owunikezwa uMoya Ongcwele. Akukhona ukukhanyiselwa, noma ukukhanya; ngukushukunyiswa. Lokhu kuzokwenzeka njalo, njengalapho uya emsebenzini. Uzothandaza futhi uzizwe usondelene noNkulunkulu, kangangokuba izinyembezi zizogcwala ebusweni bakho, uzoshukumiseka ngendlela yokuba ungakwazi ukuzilawula futhi ufise kakhulu ukuthola indawo efanele ongaveza kuyo lonke isasasa enhliziyweni yakho…. Ngezinye izikhathi uzoba esehlakalweni somphakathi futhi uzwe sengathi uthando olubonayo lukhulu kakhulu, kangangokuba ubone ukuphila kwakho sengathi akuvamile, futhi kakhulu uzizwe sengathi ufanelwe okukhulu kakhulu kunabanye. Uzokwazi ngokujulile ukuthi uNkulunkulu uyakuphakamisa, ukuthi lolu uthando olukhulu uNkulunkulu akuthanda ngalo. Emizweni ejulile yenhliziyo yakho uzozwa sengathi kukhona uhlobo oluthile lothando ngoNkulunkulu olungachazeki nolungafundeki; kunjengokungathi uyalwazi kodwa ayikho indlela yokuluveza, luhlale lukwenza ume kancane ucabange kodwa lukushiye ungakwazi ukuluveza ngokuphelele. Ngezikhathi ezifana nalezi, uzokhohlwa ngisho nendawo okuyo, kuze kube sesikhathini lapho uzophimisela: “O Nkulunkulu! Kunzima ukukuqonda, noma kunjalo uthandeka kakhulu!” Lokhu kuzoshiya abantu bemangele, kodwa zonke izinto ezinjalo zivamile ukwenzeka. Wedlulile kaningi kulolu hlobo lwento. Lokhu wukuphila uMoya Ongcwele akunike khona namuhla, nokuphila okufanele nikuphile manje. Akufanele kunenze ukuthi niyeke ukuphila, ukuthi nje indlela eniphila ngayo iguqukile. Lona umuzwa ongachazeki noma uvezwe. Kuphinde kube umuzwa wangempela womuntu futhi ikakhulu umsebenzi kaMoya Ongcwele. Kukwenza nikwazi ukuqonda ezinhliziyweni zenu, kodwa aninayo indlela eningamchazela ngayo omunye umuntu ngokucacile. Hhayi ngoba ningakwazi ukukhuluma noma ngoba ninamalimi, kodwa ngenxa yokuthi uhlobo lomuzwa olungachazeki ngamagama. Univumela ukuba nijabulele lezi zinto namuhla njengoba lokhu kungukuphila okufanele nikuphile. Yebo, akusho ukuthi enye indlela yokuphila kwenu iyize, ukuthi nje ukushukumiseka ngale ndlela kuba uhlobo oluthize lwenjabulo ekuphileni kwenu olunenza nihlale nifuna ukujabulela ukushukunyiswa uMoya Ongcwele. Kodwa kufanele nazi ukuthi ukushukunyiswa ngale ndlela akukona ukuthi uzihlukanise nenyama futhi uye ezulwini lesithathu, noma ujikeleze umhlaba, kunalokho kungenjongo yokubona uthando lukaNkulunkulu namuhla, ukubona ukubaluleka kwemisebenzi kaNkulunkulu namuhla, ukuba nikhumbule ukunakekelwa nokuvikelwa uNkulunkulu. Zonke lezi zinto zinenza nibe nolwazi olukhulu ngemisebenzi uNkulunkulu ayenzayo namuhla nokuba nizwe futhi nibone kakhulu uthando lukaNkulunkulu enilujabulelayo namuhla—lena injongo yalo msebenzi.

Impilo yokucinga nokuzinqumela yayingesikhathi lapho uNkulunkulu engakabi sesimweni somuntu. Ngaleso sikhathi abantu babengakwazi ukubona uNkulunkulu futhi babengenayo enye indlela ngaphandle kokucinga nokuzinqumela. Namuhla ningakwazi ukubona uNkulunkulu futhi unitshela ngokuqondile indlela okufanele nenze ngayo ukuze ningaphinde nibe nomuzwa wokuzinqumela noma wokuzicingela. Indlela eholwa Nguye iyindlela yeqiniso nalokho akutshela abantu, lokho okutholwa abantu ukuphila neqiniso. Wena unayo indlela, ukuphila neqiniso, pho sikuphi isidingo sokuhamba ucinga nomaphi? Umoya Ongcwele awukwazi ukwenza izigaba ezimbili zomsebenzi ngesikhathi esisodwa. Uma, lapho sengiqedile ukukhuluma amazwi Ami, abantu besadinga ukuthandaza nokucinga, lokho ngeke yini kusho ukuthi lesi sigaba somsebenzi engiwenzayo senzelwa ize? Nakuba sengiqedile ukukhuluma amazwi Ami, abantu abakaqondi ngokuphelele, futhi lokhu kungenxa yokuthi bantula isimo esifanele. Le nkinga ingaxazululeka ngokuphila kwebandla nangokuhlangana nabanye. Esikhathini esingaphambili, ukuba senyameni kukaNkulunkulu akuqalanga ngomsebenzi, ngakho uMoya Ongcwele wenza lowo msebenzi ngaleso sikhathi futhi wawulondoloza. Ngaleso sikhathi uMoya Ongcwele wenza umsebenzi, kodwa manje wenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu Ngokwakhe, othathe isikhundla somsebenzi kaMoya Ongcwele. Lapho abantu bethandaza esikhathini esedlule, babebona ukuthula, injabulo, isihlamba nesiyalo futhi konke lokhu kukhona emsebenzini kaMoya Ongcwele. Manje lezi zimo zimbalwa futhi ziphakathi nendawo kakhulu. Kungani lapho uPetru ethandaza aba nemizwa yokuthula noma yesihlamba, kungani uPawulu nabanye nabo baba nomuzwa ofanayo lapho bethandaza? Kwakungenxa yokuthi kwakuphakathi nesikhathi lapho ukubonakala kukaNkulunkulu kwakungakaze kubonwe, futhi ngaphezu kwalokho kwakuphakathi neNkathi Yomusa ngesikhathi uNkulunkulu esebenza ngendlela ehlukile. Umoya Ongcwele angakwazi ukwenza uhlobo olulodwa kuphela lomsebenzi nganoma iyiphi inkathi eyodwa. Uma uMoya Ongcwele enza izinhlobo ezimbili zomsebenzi othile ngesikhathi esisodwa, inyama yenza othile noMoya Ongcwele wenza omunye kubantu, futhi uma lokho okwashiwo inyama kwakungafanele futhi lokho okwenziwa uMoya kwakufanele, ngakho uKristu ubengeke akwazi ukukhuluma ngeqiniso, ngendlela noma ngokuphila. Lokhu bekungaba ukuziphikisa. Ubengasebenza kanje uMoya oNgcwele? UNkulunkulu unamandla onke futhi uhlakaniphe kakhulu, ungcwele futhi ulungile, futhi akawenzi nhlobo amaphutha.

Abantu bachezuke kakhulu futhi benze amaphutha amaningi kakhulu esikhathini esidlule. Kunezinto ezithile eziyisiqalo abantu bobuntu obujwayelekile okwakudingeka babe nazo, nokwakudingeka bazenze, noma kwakunamaphutha okwakunzima ukuwagwema okwakudingeka abonakale ekuphileni kwabantu, futhi lapho lezi zinto zenziwa kabi kakhulu, imbangela yazo yayikhonjwa kuNkulunkulu. Bekunodade owayenezimenywa emzini wakhe. Amabhanisi akhe ayengabhakekile kahle, ngakho wacabanga: “Kungenzeka ukuthi yisijeziso esivela kuNkulunkulu lesi. UNkulunkulu ulwa nenhliziyo yami eyize. Ngiyize ngempela.” Eqinisweni, ngokwendlela evamile yomuntu yokucabanga, lapho kufika izimenywa uyajabula futhi usheshise, ungazi ukuthi kufanele wenzeni kuqala ngoba awukwazanga ukuhlela ozokwenza, futhi umphumela uba wukuthi uma irayisi lingashanga, ukudla kwakho kuzoba nosawoti omningi. Ngokujwayelekile, uma zingekho izimenywa konke kuhamba kahle, kodwa lapho kuza abantu konke kuyabheda. Lesi simo sibangelwa yimizwa yenjabulo, kodwa abantu bagcina bethi “yisijeziso esivela kuNkulunkulu.” Empeleni, lokhu kusho ukuthi ukuphila kwabantu kunamaphutha. Beningebhekane yini nento efanayo uma beningakholelwa kuNkulunkulu? Ingabe lokhu akuyona into eyenzeka njalo? Ziningi izinto ezinamaphutha kubantu; abantu bayawenza amaphutha, kodwa awenziwa uMoya Ongcwele futhi awamhlanganisi uNkulunkulu. Njengalapho uziluma ulimi ngesikhathi udla—kungaba yisijeziso esivela kuNkulunkulu lesi? Isijeziso sikaNkulunkulu sinezimiso futhi ngokuvamile sibonakala lapho wenza icala ngamabomu. UNkulunkulu ujezisa abantu ngezinto ezihlanganisa igama Lakhe, noma lapho kuthinteka ubufakazi Bakhe noma umsebenzi Wakhe. Abantu baliqonda kangcono iqiniso manje ukuba baqaphele izinto abazenzayo ngaphakathi kubo, ngokwesibonelo: Ingabe awuzwa lutho lapho ukhwabanisa noma usebenzisa kabi imali yebandla? Kunokuthile ozokuzwayo lapho wenza kanjalo. Akunakwanzeka ukwenza okuthile bese kamuva uqala ukuzwa okuthile. Usuke wazi kahle enhliziyweni yakho lapho wenza izinto eziphikisana nonembeza wakho. Nakuba bengase balazi kahle iqiniso, ngoba wonke umuntu unezinto ezithile azithandayo, kalula nje bagxila kuzo, ngakho ngemva kokwenza okuthile ababi nawo umuzwa wecala ocacile. Uma bengajezisiwe lapho benza okungalungile, yisiphi isijeziso esingaba khona kamuva? Yisiphi isijeziso esingaba khona uma isisaphazwe yonke imali? Bakwazi kahle abakwenzayo lapho bekwenza futhi bayasizwa isihlamba. Uma ungalaleli ngakho uNkulunkulu uzokushaya indiva. Lapho kufika isikhathi sokwahlulelwa kwabalungileyo, isijeziso sizolethwa kumuntu ngamunye ngokwemisebenzi yakhe. Njengomuntu ovamile ocabangayo, umuntu ononembeza, ukwazi kahle konke akwenzayo, ikakhulukazi lapho wenza into engalungile. Ingabe basekhona abambalwa ebandleni abakhwabanisa imali? Ingabe basekhona abambalwa abangayigcini imingcele ecacile phakathi kwabesilisa nabesifazane? Ingabe basekhona abambalwa abahlulela, benqabe futhi bazame ukuqeda izinto eziyimfihlo? Kungani konke kukuhambela kahle? Nonke niyakwazi ukuqaphela, ninemizwa nesihlamba ezinhliziyweni zenu futhi ngenxa yalokhu ngezinye izikhathi niyajeziswa futhi nicwengisiswe. Ukuthi nje abantu abanamahloni! Uma ngempela bebengase bajeziswe, ingabe bebengaqhubeka nokwenza ngale ndlela? Lapho abantu abanonembeza benza lezi zinto, bazizwa bengenakho ukuthula lapho unembeza wabo ubalahla kancane, ngakho bayishaya indiva inyama yabo. Njengalabo abenza izono eziphakathi kwabesilisa nabesifazane. Bakwazi kahle abakwenzayo ngaleso sikhathi, kodwa inkanuko yabo yinkulu kakhulu futhi abakwazi ukuzibamba. Ngisho noma uMoya Ongcwele ekhipha isiyalo, kuzoba yize, ngakho uMoya Ongcwele akasenandaba nani. Ngaleso sikhathi, uma uMoya Ongcwele enganijezisanga, anganilethelanga isihlamba noma anenze okuthile enyameni yenu, yisiphi isihlamba esingaba khona kamuva? Yisiphi isijeziso esingaba khona ngemva kokufezwa kwesenzo? Kukhombisa nje ukuthi abanamahloni futhi bantula ubuntu ngokwedlulele, nokuthi bafanelwe yiziqalekiso nokujeziswa! Umoya Ongcwele akasebenzi kungadingekile. Uma ulazi kahle iqiniso kodwa ungabambisani nalo futhi ukwazi ukwenza zonke izinto, ngakho ungamane ulinde kuze kufike lolo suku lapho uzojeziswa kanye nalowo omubi. Lena yindlela engcono kakhulu yokuphela kwakho! Manje ngishumayele ngonembeza ngokuphindaphindiwe, njengoba leli kuyizinga eliphansi kakhulu. Ngaphandle konembeza, abantu bazophinde balahlekelwe yisiyalo sikaMoya Ongcwele, futhi bangenza noma yini abayithandayo. Uma othile enawo ngempela unembeza, ngakho lapho uMoya Ongcwele ubalethela isihlamba baba nempi yangaphakathi, futhi kukancane lapho bangenza okuthile okubaluleke kakhulu. Nakuba uMoya Ongcwele ungakuyala futhi ukusole kanganani, ngokuvamile bonke abantu baba nemizwa ethile lapho benza okuthile okungalungile. Ngakho abantu manje baziqonda zonke izinhlobo zeqiniso futhi uma bengaphili ngalo yindaba yabo. Angiphenduli kubantu ngale ndlela, futhi alikho ithemba enginalo ngabo. Ungenza ngendlela othanda ngayo!

Abanye abantu bayahlangana futhi balibeke eceleni izwi likaNkulunkulu, njalo bakhulume ngokuthi yini ethandwa yilo noma yilowaya! Yiqiniso kuhle ukuzinqumela kancane, njengoba ungeke ukhohliseke kalula ngendawo oya kuyo, futhi ungeke uholelwe ophathe noma wenziwe isiwula; lesi yisibonakalo abantu okufanele babe naso. Kodwa akumelwe ugxile kulesi sibonakalo kuphela njengoba sihlanganisa izinto ezingafanele. Amehlo akho akumelwe ngaso sonke isikhathi agxile kubantu. Ulwazi lwakho lwendlela uMoya Ongcwele osebenza ngayo manje luncane kakhulu, ukukholelwa kwakho kuNkulunkulu akugxilile, futhi unezinto ezifanele ezimbalwa kakhulu. Lowo okholelwa kuye uNkulunkulu, lowo odinga ukumqonda uNkulunkulu, hhayi uSathane. Uma uqonda kuphela indlela uSathane asebenza ngayo futhi unolwazi lwazo zonke izindlela imimoya emibi esebenza ngazo, kodwa ungenalo nhlobo ulwazi ngoNkulunkulu, kungaba nanzuzoni lokho? Ingabe akuyena uNkulunkulu okholelwa kuye namuhla? Kungani ulwazi lwakho lungazihlanganisi lezi zinto ezifanele? Kalula nje awusiqapheli isibonakalo esifanele sokungena futhi awusiqondi nhlobo, pho yini ngempela ofuna ukuyizuza? Ingabe awuyazi indlela okufanele ucinge ngayo? Wazi kakhulu ngezingxenye ezingezinhle, kodwa awunalutho esibonakalweni esifanele sokungena, ngakho isimo sakho singakhula kanjani? Uma umuntu ekhuluma kuphela ngempi noSathane, yimaphi amathuba okuthuthuka esikhathini esizayo lowo muntu azoba nawo? Ngabe indlela yakho yokungena ayiphelelwe yisikhathi? Yiziphi izinto ozozizuza emsebenzini owenza njengamanje uma uqhubeka nokwenza ngale ndlela? Okubalulekile kuwe manje ukuba uqonde lokho uNkulunkulu afuna ukukwenza manje, indlela abantu okufanele babambisane ngayo naye, indlela okufanele bathande ngayo uNkulunkulu, indlela okufanele baqonde ngayo umsebenzi kaMoya Ongcwele, indlela okufanele bangene ngayo kuwo wonke amazwi ashiwo uNkulunkulu namuhla, indlela okufanele bawabheke ngayo, bawaqonde ngayo futhi bawabone ngayo, indlela okufanele benze ngayo intando kaNkulunkulu, banqotshwe ngayo uNkulunkulu ngokuphelele futhi balalele ngayo phambi kukaNkulunkulu…. Kufanele ugxile kulezi zinto njengoba lezi kuyizinto okufanele kungenwe kuzo manje. Uyaqonda? Kusiza ngani ukugxila kuphela kulokho okuqondwa abantu? Ungamqonda uSathane lapha, uqonde imimoya emibi laphaya, ungakwazi ukuqonda izinto eziningi, ube nokuqonda okuphelele ngemimoya emibi futhi uwazi othile lapho nje uwubona. Kodwa uma ungakwazi ukusho utho ngomsebenzi kaNkulunkulu, ingabe ukuqonda kwakho kungathatha indawo yokuqonda kwakho uNkulunkulu? Esikhathini esedlule ngike ngakhuluma ngokuqondene namazwi omsebenzi wemimoya emibi, kodwa lokhu akuyona into enkulu kakhulu. Yebo abantu kufanele babe nokuqonda okuncane njengoba lokhu kuyisibonakaliso labo abakhonza uNkulunkulu okufanele babe naso ukuze bagweme ukwenza izinto eziwubuwula nokuphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Kodwa into ebaluleke kakhulu kusawukuba nolwazi ngomsebenzi kaNkulunkulu nokuqonda intando kaNkulunkulu. Yini oyaziyo ngalesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu? Ungasho ukuthi yini uNkulunkulu ayenzayo, iyini intando kaNkulunkulu, futhi ungasho ukuthi yikuphi ukushiyeka onakho nokuthi yiziphi izinto okufanele uzihlomise ngazo? Ungasho ukuthi yikuphi ukungena kwakho okusha? Kufanele uqonde ukuthi yikuphi ukungena kwakho kwangesikhathi esedlule obekuchezukile futhi okungamaphutha, nokuthi yikuphi ukungena osekuphelelwe yisikhathi. Kufanele uthole imivuzo nokuqonda ekungeneni kwakho okusha. Ungenzi sengathi awazi; kumele wenze umzamo omkhulu ekungeneni kwakho okusha ukuze ujulise okwenzayo nolwazi lwakho, ngaphezu kwalokho kumele ngokukhethekile ubambisise ukungena kwakho okusha nendlela enhle kakhulu yokukufeza. Kumele futhi wazi ukuthi uzozilahla kanjani izindlela zokwenza eseziphelelwe yisikhathi futhi ungene ekwenzeni okusha. Kufanele uziqonde nakakhulu izenzo zesikhathi esedlule eseziphelelwe yisikhathi nezazichezukile emsebenzini nasekungeneni okusha. Lezi yizinto manje ezidingeka uziqonde ngokuphuthumayo futhi ungene kuzo. Kumele uqonde umehluko nobudlelwane phakathi kokungena kwakho okudala nokusha. Uma ungaziqondi lezi zinto, ngeke ukwazi ukuqhubekela phambili, njengoba ungeke ukwazi ukuhambisana nomsebenzi kaMoya Ongcwele. Okuningi kokungena nezenzo zakho zesikhathi esedlule kuqondana nendlela yokusebenza echezukile neyiphutha, futhi okuningi kwako bekuyindlela yokwenza yesikhathi esedlule; kumele uqonde indlela yokubhekana nalezi zinto. Ngokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu ngendlela efanele nangokuhlanganyela ngendlela efanele, kumele ukwazi ukuguqula izindlela zakho zokwenza eseziphelelwe yisikhathi nemibono yakho eyisidala, ukuze ukwazi ukwenza okusha, futhi ungene emsebenzini omusha. Lezi yizinto okumele uzizuze. Manje angikuceli ukuba uqonde konke ngawe; angikuceli ukuba ubheke lokhu njengokubaluleke kakhulu. Kunalokho ngikucela ukuba ubheke njengokubalulekile ukungena kwakho nokuqonda isibonakalo esifanele. Nakuba ungase ukwazi “ukuzazi,” akusho ukuthi ubuwena ngempela lokho. Kodwa uma ungabona izenzo nokungena komsebenzi omusha, kuze kube sezingeni lokuthi ukwazi ukuqonda ukuthi yimiphi imibono yakho noma ongakuqondanga ngesikhathi esedlule, ngakho lokhu kusho ubuwena bangempela futhi kungokuthile ofanele ube nakho. Lezi yizinto wonke umuntu phakathi kwenu okufanele azizuze.

Kunezinto eziningi nina eningazi ukuthi zenziwa kanjani, ingasaphathwa eyokuqonda indlela uMoya Ongcwele asebenza ngayo. Ngezinye izithathi wenza izinto eziwukungamlaleli kahle uMoya Ongcwele. Unawo vele umqondo wesimiso sokuthile ngokudla nokuphuza, ngakho ngaphakathi uhlushwa umuzwa wesihlamba nokungabi nakuthula futhi yebo lona umuzwa umuntu azoba nawo ngenxa yokwazi iqiniso. Ukungabambisani nokungenzi izinto ezivumelana nezwi lanamuhla kuphazamisa umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi umuntu ngeke abe nokuthula ngaphakathi kuye. Uyaziqonda izimiso zalesi sibonakalo kodwa awenzi ngokuvumelana nazo, ngakho ubhekene nomuzwa wesihlamba ngaphakathi kwakho. Kodwa uma ungasiqondi lesi simiso, futhi ungakadli noma uphuze lesi sibonakalo seqiniso, uma ungasazi ngokuphelele, ngakho ngeke ube nawo umuzwa wesihlamba kule ndaba. Ukuba nesihlamba sikaMoya Ongcwele kuya ngezimo. Ucabanga ukuthi ngenxa yokuthi awukathandazi, awubambisene noMoya Ongcwele, awukawususi umthwalo ongaphakathi kuwe, uwubambezele umsebenzi kaMoya Ongcwele. Eqinisweni awukwazi ukubanjezelwa, uma angeke asho lutho uMoya Ongcwele uzoshukumisa omunye umuntu ukuba asho leyo nto; uMoya Ongcwele ngeke alinganiselwe nguwe. Uyadabukisa kuNkulunkulu futhi yilo muzwa okufanele ube nawo. Kodwa uNkulunkulu akayinaki leyo nto futhi uyayidlulisa. Ukuthi kukhona ongakuzuza noma cha yindaba yakho. Ngezinye izikhathi unembeza wakho uzwakala sengathi uyakulahla, kodwa lokhu akukhona ukukhanyiselwa noma ukukhanya koMoya Ongcwele ngaleso sikhathi, futhi akusona isihlamba esibangelwa uMoya Ongcwele. Kunalokho ngumuzwa okunembeza wakho. Uma kufaka igama likaNkulunkulu, ubufakazi bukaNkulunkulu noma umsebenzi kaNkulunkulu, wena wenza ngendlela yobulwane, ngakho uMoya Ongcwele ngeke akuyeke. Kodwa kunomkhawulo, futhi ngokuqondene nezinto ezingafanele ukubizwa, uMoya Ongcwele ngeke akuhluphe, uzokuziba, futhi yilokho okufanele ukuzwe kunembeza wakho. Ezinye izinto abantu bobuntu obujwayelekile abadalelwe ukuzenza futhi ezinye zimane ziyizindaba zokuphila kwabantu okujwayelekile. Ngokwesibonelo, awuwabhakanga kahle amabhanisi futhi uthi uNkulunkulu uyakujezisa—akunangqondo ukusho into enjalo. Ngaphambi kokuba ukholelwe kuNkulunkulu, yayingakaze yenzeke yini into enjalo? KwakunguSathane owayekujezisa ngaleso sikhathi? Eqinisweni uma uzenza kakhulu izinto ezinjalo, kukancane wenze amaphutha; kumane nje kuyingqondo yakho eyenza amaphutha. Unomuzwa wokuthi kubukeka sengathi yisiyalo esivela kuMoya Ongcwele uma ngempela kungenjalo (ngaphandle kwezimo ezikhethekile), ngoba lo msebenzi awenziwa ngokuphelele uMoya Ongcwele, kodwa kumane nje kuyimizwa abantu abanayo. Kodwa ukucabanga kanjalo yilokho okufanele kwenziwe yilabo abakholelwa kuNkulunkulu. Bewungekwazi ukucabanga kanje uma ubungakholelwa kuNkulunkulu. Lapho usukholelwa kuNkulunkulu, inhliziyo yakho yazama ukwenza ngale ndlela futhi ngokungazi waqala ukucabanga ngale ndlela. Lokhu kwenzeka ekucabangeni kwabantu abavamile futhi kumayelana nomphumela wendlela abacabanga ngayo. Kodwa ake nginitshele, lena akuyona into engaphansi komsebenzi kaMoya Ongcwele. Lesi sibonakalo simayela nokusabela okuvamile abantu abakunikwe uMoya Ongcwele ngendlela yabo yokucabanga; kodwa kumele uqonde ukuthi le ndlela yokusaphendula akuwona umsebenzi kaMoya Ongcwele. Ukuba nalolu hlobo “lolwazi” akusho ukuthi unomsebenzi kaMoya Ongcwele. Ulwazi lwakho aluhambisani nokukhanyiselwa uMoya Ongcwele, ingasaphathwa eyomsebenzi kaMoya Ongcwele. Kumane nje kungukuphendula kokucabanga kwabantu okuvamile futhi akukho okukuhlanganisa nokukhanyiselwa noma ukukhanya koMoya Ongcwele. Yizinto ezimbili ezehlukene ngokuphelele futhi azenziwa uMoya Ongcwele ngokuphelele. Lapho uMoya Ongcwele enza umsebenzi wokukhanyisela abantu, ngokuvamile ubanika ulwazi lomsebenzi kaNkulunkulu, nolokungena kwabo kweqiniso nesimo seqiniso, futhi uphinde abanike ukuxazulula, abavumele ukuba baqonde inhloso kaNkulunkulu yangempela nalokho akufuna kubantu namuhla, uMoya Ongcwele ubanikeza ukuxazulula ukuvula yonke indlela. Ngisho noma abantu bebhekene nokuchitheka kwegazi nomhlatshelo kumele benzele uNkulunkulu, futhi ngisho noma bebhekana nokushushiswa nobunzima, kumele baqhubeke bathande uNkulunkulu, futhi bangazisoli, futhi kumele baqhubeke bafakazele uNkulunkulu. Ukuzimisela okunjalo ukushukunyiswa uMoya Ongcwele, nomsebenzi kaMoya Ongcwele—kodwa yazi ukuthi awunakho ukushukumisa okunjalo ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi emihlanganweni ungazizwa ushukumiseka kakhulu futhi ukhuthazekile futhi udumise kakhulu futhi udanse. Uzizwa sengathi unokuqonda okukhulu kakhulu ngalokho abanye abafakaza ngakho, uzizwa umusha ngaphakathi, futhi inhliziyo yakho iphelele ngaphandle kwanoma yimuphi umuzwa wokungabi nalutho—konke lokhu kuhambisana nomsebenzi kaMoya Ongcwele. Uma ungumuntu oholayo, futhi uMoya Ongcwele akunikeza ukukhanyiselwa nokukhanya okungavamile lapho uyokwenza umsebenzi webandla, okukwenza ube qotho, ube nesibopho futhi uqiniseke emsebenzini wakho, lokhu kuhambelana nomsebenzi kaMoya Ongcwele.

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wasekuqaleni uthi, “Kukhona eminye.”

Okwedlule: Mayelana NeBhayibheli (4)

Okulandelayo: Ukwenza (2)

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp