B. Indlela Yokwenza Iqiniso, Ukuqonda Iqiniso Nokungena Kokungokoqobo

344. ENkathini Yenkulungwane Yeminyaka Yombuso, ukuthi ungenile na kule minyaka emisha kuzonqunywa ukuthi ungenile na eqinisweni lezwi likaNkulunkulu nokuthi ngabe amazwi Akhe asebenza njengeqiniso empilweni yakho na. Izwi likaNkulunkulu laziswe wonke umuntu ukuze, ekugcineni, bonke abantu baphile emhlabeni wezwi nezwi likaNkulunkulu lizokhanyisa likhanyisele wonke umuntu ngaphakathi. Uma ngabe ngalesi sikhathi, uyaxhamazela futhi awukhathali ngokufunda izwi likaNkulunkulu, futhi awunamdlandla ezwini Lakhe, kubonakala sengathi kukhona okungalungile ngesimo sakho. Uma ngabe awukwazi ukungena eNkathini Yezwi, uMoya oNgcwele-ke awusebenzi kuwe; uma ngabe ungenile kule minyaka, uzokwenza umsebenzi Wakhe. Ungenzani okwamanje, ekuqaleni kwale Nkathi Yezwi, ukuzuza imisebenzi yoMoya oNgcwele? Kule minyaka, uNkulunkulu uzokwenza kube yiqiniso kinina ukuthi wonke umuntu aphile izwi likaNkulunkulu, akwazi ukusebenzisa iqiniso, athande uNkulunkulu ngobuqotho; ukuthi bonke abantu basebenzise izwi likaNkulunkulu njengesisekelo neqiniso labo babe nezinhliziyo ezihlonipha uNkulunkulu; nokuthi, ngokwenza izwi likaNkulunkulu, umuntu-ke angabusa kanye noNkulunkulu. Yilo msebenzi uNkulunkulu azowufeza. Ungaphila ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu? Baningi manje abazizwa sengathi angeke bakwazi ukuhlala ngisho usuku olulodwa nje noma ezimbili ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu. Kufanele bafunde izwi Lakhe nsuku zonke, kanti uma isikhathi singavumi, ukulalela nje izwi Lakhe kwanele. Lo umuzwa umuntu awunikezwa uMoya ONgcwele nendlela oqala ngayo ukunyakazisa umuntu. Kusho ukuthi, ubusa umuntu ngamazwi ukuze umuntu angene eqinisweni lezwi likaNkulunkulu. Uma uzwa ubumnyama nokoma ngemva nje kosuku olulodwa ungadlile futhi ungaphuzile izwi likaNkulunkulu, ukuthole kungemukelekile, lokhu kukhombisa ukuthi usunyakazisiwe uMoya oNgcwele, kanti futhi akakufulathelanga. Uyilowo okulo mfudlana. Nokho, uma ungenakho ukuqonda noma ungezwa koma ngemva kosuku noma ezimbili ngaphandle kokuphuza izwi likaNkulunkulu, futhi awuzizwa unyakaziseka, lokhu kukhombisa ukuthi uMoya oNgcwele ukufulathele. Lokhu kusho ukuthi-ke isimo ngaphakathi kwakho asilungile; awukangeni eNkathini Yezwi, futhi nguwena osalele emuva. UNkulunkulu usebenzisa izwi ukubusa umuntu; uzizwa kamnandi uma udla futhi uphuza izwi likaNkulunkulu, kodwa uma ungakwenzi lokho, ngeke ube nayo indlela yokulandela. Izwi likaNkulunkulu liba ukudla komuntu namandla amqhubayo. IBhayibheli lithi “Akusinkwa kuphela umuntu angaphila ngaso, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” Lo umsebenzi uNkulunkulu azowufeza namuhla. Uzofeza leli qiniso kinina. Bekwenzeka kanjani ukuthi mandulo abantu bahlale izinsuku eziningi ngaphandle kokufunda izwi likaNkulunkulu kodwa baqhubeke badle futhi basebenze? Kungani kungenjalo manje? Kulesi sikhathi, uNkulunkulu usebenzisa kakhulu izwi ukubusa bonke. Ngezwi likaNkulunkulu, umuntu uyahlulelwa futhi apheleliswe, ekugcineni athathwe ayiswe embusweni. Izwi likaNkulunkulu kuphela elinganikeza umuntu ukuphila, futhi izwi likaNkulunkulu kuphela elinganikeza umuntu ukukhanya nendlela yokulenza, ikakhulu eNkathini Yombuso. Uma nje usalokhu udla futhi uphuza izwi Lakhe nsuku zonke ungaphumi eqinisweni lezwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu uzokuphelelisa.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

345. Iqiniso umuntu okufanele abe nalo litholakala ezwini likaNkulunkulu, futhi yiqiniso elizuzisayo futhi eliwusizo olukhulu esintwini. Liwumuthi nokudla okudingwa imizimba yenu, into esiza umuntu ukuba abuyise ubuntu bakhe obujwayelekile. Yiqiniso okufanele nihlome ngalo. Uma nenza izwi likaNkulunkulu ngokwengeziwe, ukuphila kwenu kuzoqhakaza nakakhulu, futhi iqiniso lizocaca nakakhulu. Njengoba isimo senu sikhula, izinto zasezweni likamoya nizozibona ngokucace ngokwengeziwe, futhi nizoba namandla engeziwe okunqoba uSathane. Amaqiniso amaningi eningawaqondi ayocaciswa lapho nenza izwi likaNkulunkulu. Abantu abaningi baneliswa nje ukumane baqonde umbhalo wezwi likaNkulunkulu bese begxila ekuzihlomiseni ngezimfundiso kunokujulisa abakuzwayo ekwenzeni, kodwa akuyona yini leyo indlela yabaFarisi? Ngakho inkulumo ethi “Izwi likaNkulunkulu liwukuphila” ingaba kanjani yiqiniso kubo? Ukuphila komuntu kungeqhakaze kuphela lapho umuntu efunda izwi likaNkulunkulu, kodwa uma enza likaNkulunkulu. Uma nikholelwa ekuthini ukuqonda izwi likaNkulunkulu kwanele ukuze umuntu abe nokuphila nesiqu, kusho ukuthi ukuqonda kwenu kuphambene. Ukuliqonda ngempela izwi likaNkulunkulu kwenzeka lapho wenza iqiniso, futhi kumele uqonde ukuthi “iqiniso ungaliqonda kuphela ngokuthi ulenze.” Namuhla, ngemva kokufunda izwi likaNkulunkulu, ungase nje uthi uyalazi izwi likaNkulunkulu, kodwa angeke uthi uyaliqonda. Abanye bathi okuwukuphela kwendlela yokwenza iqiniso, ukuliqonda kuqala, kodwa lokhu kuyingxenye nje yeqiniso akunembi neze ngokuphelele. Ngaphambi kokuba wazi iqiniso, usuke ungakaze uhlangane nalelo qiniso. Ukuzwa sengathi uyakuqonda okuzwayo entshumayelweni akufani nokuqonda ngempela—lokhu kuwukuthatha amazwi asobala eqiniso, futhi akufani nokuqonda incazelo yangempela ekulona. Ukuthi unolwazi olungajulile ngeqiniso akusho ukuthi uyaliqonda noma uyalazi; incazelo yangempela ngeqiniso ivela ngemva kokulibona. Ngakho iqiniso ungaliqonda kuphela ngemva kokudlula kulo, futhi kulapho kuphela ongaqonda khona izingxenye zalo ezifihlekile. Ukuqonda iqiniso ngokujulile kuwukuphela kwendlela ongazi ngayo imiqondo, nongaqonda ngayo ingqikithi yeqiniso. Ngakho, ungaya nomaphi ngeqiniso, kodwa uma ungenalo iqiniso, ungalokothi uzame ukuqinisekisa ngisho amalunga omndeni wakho, ingasaphathwa eyabantu abakholwayo. Ngaphandle kweqiniso ufana nezinhlayiya zeqhwa ezindizayo, kodwa ngeqiniso ungajabula futhi ukhululeke, futhi akekho ongakuhlasela. Akunandaba ukuthi imfundiso inamandla kangakanani, ngeke ilehlule iqiniso. Ngeqiniso, kunganyakaziswa umhlaba uqobo futhi kugudluzwe izintaba nolwandle, kanti ukungabi neqiniso kuholela ekudliweni izibungu; leli iqiniso elisobala.

Kucashunwe embhalweni othi “Uma Usuqonda Iqiniso, Kufanele Ulenze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

346. Into uNkulunkulu ayifuna kubantu akukhona nje ukuthi bakwazi ukukhuluma ngengokoqobo. Ingabe lokho bekungeke kube lula kakhulu? Kungani uNkulunkulu ekhuluma ngokungena ekuphileni? Kungani ekhuluma ngokuguquka? Uma umuntu emane azi inkulumo eyize ngengokoqobo, ingabe ukushintshwa kwesimo kungenzeka? Ukuqeqesha ibutho lamasosha amahle ombuso akufani nokuqeqesha abantu abazi kuphela ukukhuluma ngengokoqobo noma abantu abaqhoshayo kuphela, kodwa kuwukuqeqesha abantu abangaphila ngamazwi kaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi, abangadunyazwa yinoma yiziphi izingqinamba abahlangana nazo, futhi abaphila ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi, futhi bangabuyeli ezweni. Leli ingokoqobo uNkulunkulu akhuluma ngalo, futhi yilokhu uNkulunkulu akufuna kubantu. Ngakho, ungabheki ingokoqobo uNkulunkulu akhuluma ngalo njengelilula kakhulu. Ukumane ukhanyiselwe uMoya Ongcwele akulingani nokuba nengokoqobo: Lesi akusona isiqu somuntu, kodwa umusa kaNkulunkulu, futhi akuhileli noma iyiphi impumelelo yomuntu. Umuntu nomuntu kumele abekezelele izinhlupheko zikaPetru, ngaphezu kwalokho abe nenkazimulo kaPetru, okuyinto abantu abayiphilayo ngemva kokuzuza umsebenzi kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela okungabizwa ngengokoqobo. Ungacabangi ukuthi uzoba nengokoqobo ngenxa yokuthi ungakhuluma ngengokoqobo. Lena inganekwane, lokhu akuhambisani nentando kaNkulunkulu, futhi akunakho ukubaluleka kwangempela. Ungazisho lezo zinto ngokuzayo—zihlukanise lezo nkulumo! Bonke labo abawaqonda ngokungeyikho amazwi kaNkulunkulu abawona amakholwa. Alukho ulwazi lwangempela abanalo, ingasaphathwa eyesiqu sangempela; bangabantu abangenandaba abangenalo ingokoqobo. Okusho ukuthi, bonke labo abaphila ngaphandle kwesiqu samazwi kaNkulunkulu abawona amakholwa. Labo abantu abangababheki njengamakholwa bayizilwane emehlweni kaNkulunkulu, futhi labo uNkulunkulu angababheki njengamakholwa yilabo abangenawo amazwi kaNkulunkulu njengokuphila kwabo. Ngakho, labo abangenalo ingokoqobo lamazwi kaNkulunkulu nabahluleka ukuphila ngamazwi kaNkulunkulu abawona amakholwa. Inhloso kaNkulunkulu ukwenzela ukuthi wonke umuntu aphile ngokuba ngokoqobo kwamazwi kaNkulunkulu. Akuyikho ukuthi wonke umuntu amane akwazi ukukhuluma ngengokoqobo, kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi wonke umuntu uyakwazi ukuphila ngengokoqobo la mazwi kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza Iqiniso Kuphela Okuwukuba Nokungokoqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

347. Ukufinyelela ekuyiqondeni kwangempela incazelo yangempela yezwi likaNkulunkulu akuyona indaba elula. Ungacabangi nje ukuthi ungakwazi ukuhumusha incazelo esobala yawo wonke amazwi kaNkulunkulu, nokuthi wonke umuntu uthi ukuhumusha kwakho kuhle futhi bayakuncoma, ngakho kusho ukuthi uyaliqonda izwi likaNkulunkulu. Lokho akufani nokuqonda izwi likaNkulunkulu. Uma usuthole ukukhanya okuthile okusuka ngaphakathi ezwini likaNkulunkulu futhi usuyitholile incazelo yangempela yezwi likaNkulunkulu, uma ungasho ukuthi kuyini ukubaluleka kwezwi likaNkulunkulu nokuthi liletha muphi umthelela wokugcina, kulapho sekukhanya konke lokhu lapho kuba khona izinga elithile lokuqonda izwi likaNkulunkulu. Ngakho, ukuqonda izwi likaNkulunkulu akulula nje. Ngoba nje uyakwazi ukunikeza incazelo enhle ngombhalo wezwi likaNkulunkulu akusho ukuthi uyaliqonda. Noma ngabe uwuhumusha kanjani umbhalo wezwi likaNkulunkulu kusewumbono kanye nendlela yokucabanga komuntu futhi akunamsebenzi. Kufanele liqondwe kanjani izwi likaNkulunkulu? Isihluthulelo sisekuqondeni izwi Lakhe ngokusuka ngaphakathi kwezwi Lakhe. Noma nini lapho uNkulunkulu ekhuluma khona empeleni akakhulumi izinto ezejwayelekile nje. Ngaphakathi komusho ngamunye kukhona ingqikithi enemininingwane okunesiqiniseko sokwembuleka kabanzi kwayo ezwini likaNkulunkulu, futhi ingavezwa ngendlela eyehlukile. Umuntu akakwazi ukuqonda izindlela uNkulunkulu aveza ngazo iqiniso. Izwi likaNkulunkulu lijule kakhulu futhi akungeneki kulo ngendlela yokucabanga komuntu. Abantu bangathola incazelo ephelele yazo zonke izingxenye zeqiniso inqobo nje uma bezama, futhi imininingwane esalayo igcwaliswa ngokuphelele lapho uMoya oNgcwele ukhanyisela ukuqonda kwakho izimo ezingokoqobo ngokuhlangenwe nakho. Ingxenye eyodwa ngukuqonda izwi likaNkulunkulu ngezwi Lakhe, ngokuthola ingqikithi eqondile yezwi Lakhe. Enye ingxenye ngukuqonda okuchazwa yizwi likaNkulunkulu ngokulizwa nokuthola ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele. Ikakhulu kungalezi zindlela ezimbili lapho ukuqonda izwi likaNkulunkulu ngokweqiniso kufinyelelwa khona. Uma uhumusha ngokombhalo wezwi noma ngokokuzakhela isithombe kwendlela yakho yokucabanga, kusho ukuthi ukuqonda kwakho akulona iqiniso ngisho ngabe uyakwazi ukuhumusha ngobugagu obukhulu. Uma ungakwenzi ngokufanele, ungase uthathe umqondo ngokungahambisani nesimo bese uliqonda ngokungeyikho izwi likaNkulunkulu, okuyinkinga kakhulu. Ngakho, iqiniso litholakala ikakhulu ngokwamukela ukukhanyiselwa uMoya oNgcwele ngenkathi ufinyelela ekwazini izwi likaNkulunkulu. Ukuqonda nokuhumusha umbhalo wezwi Lakhe nje akusho ukuthi usulitholile iqiniso. Uma udinga kuphela ukuhumusha umbhalo wezwi Lakhe, kubaluleke ngani-ke ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele? Kuleso simo izinga elithile lemfundo beliyosebenza, futhi abangafundile bebeyoba senkingeni enkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu awukwazi ukuqondwa yingqondo yomuntu. Ukuqonda okuyiqiniso kwezwi likaNkulunkulu kuncike kakhulu ekukhanyiselweni okuvela kuMoya oNgcwele; yilo umgudu wokuthola iqiniso.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Imvelo Yomuntu” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu

348. Uma nilifunde kakhulu izwi likaNkulunkulu kodwa niqonda kuphela okubhalwe kulo, ningenalo ulwazi ngezwi likaNkulunkulu ekuphileni kwenu okungokoqobo, ngeke nilazi izwi likaNkulunkulu. Ngokwenu, izwi likaNkulunkulu alikhona ukuphila, kodwa liyimibhalo efile. Futhi uma ugcina ngokubambelela emibhalweni efile, ngeke uyiqonde ingqikithi yezwi likaNkulunkulu, futhi ngeke uyiqonde intando Yakhe. Incazelo kamoya yezwi likaNkulunkulu kuwe iyocaca kuphela lapho uqaphela izwi Lakhe ezintweni odlula kuzo, futhi incazelo yokomoya ngamaqiniso amaningi ungayibamba kulezo zinto kuphela odlula kuzo, futhi yizinto odlule kuzo ezingakukhanyisela izimfihlakalo zezwi likaNkulunkulu. Uma ungalenzi, akunandaba ukuthi izwi Lakhe licace kangakanani, okuwukuphela kwento oyibambile nje amagama nezimfundiso eziyize, eseziphenduke imithetho yenkolo kuwe. Akuyona yini lena into eyenziwa abaFarisi? Uma nilenza futhi nilizwa izwi likaNkulunkulu, liba yinto engeyoqobo kini; uma ningafuni ukulenza, kusho ukuthi izwi likaNkulunkulu kini lithi alifane nenganekwane yezulu lesithathu. Eqinisweni, inqubo yokukholwa kuNkulunkulu iyinqubo yokubona izwi Lakhe kanye nokuzuzwa Nguye, noma uma sikucacisa, ukukholwa kuNkulunkulu kusho ukulazi nokuliqonda izwi Lakhe, nokulizwa futhi uphile ngezwi Lakhe; sinjalo isimo esingokoqobo sokukholwa kwenu kuNkulunkulu. Uma nikholwa kuNkulunkulu futhi ninethemba lokuphila phakade ngaphandle kokufuna ukwenza izwi likaNkulunkulu njengento okufanele nibe nayo ngaphakathi, kusho ukuthi niyiziwula. Kufana nokuya la kudliwa khona uyobuka ukudla nje nokubeka engqondweni izinto ezimnandi ebezidliwa, kodwa unganambithi lutho kukho. Umuntu onjalo akasona yini isiwula?

Kucashunwe embhalweni othi “Uma Usuqonda Iqiniso, Kufanele Ulenze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

349. Izimfuno zikaNkulunkulu kubantu aziphakeme. Uma abantu befaka umzamo omncane bayokwazi ukuthola “imaki lokudlulela phambili.” Empeleni, ukuqonda, ukwazi, nokuqondisisa iqiniso kuyindida kakhulu kunokwenza iqiniso; ukwazi nokuqondisisa iqiniso kuza ngemva kokuqale wenze iqiniso. Lesi isigaba nendlela yomsebenzi woMoya Ongcwele. Ungahlala kanjani ungakulaleli? Ingabe uyokwazi ukuba nomsebenzi woMoya Ongcwele ngokwenza izinto ngendlela yakho? Ingabe uMoya oNgcwele usebenza ngokuthanda kwakho noma ngokusekelwe ebuthakathakeni bakho ngokwamazwi kaNkulunkulu? Akusizi uma ungakwazi ukukubona ngokucacile lokhu. Kungani abantu abaningi bechitha amandla amakhulu befunda amazwi kaNkulunkulu kodwa benolwazi kuphela futhi bengakwazi kusho lutho ngendlela yangempela kamuva? Ingabe ucabanga ukuthi ukuba nolwazi kulingana nokuba neqiniso? Akuwona yini lowo umbono odidekile? Uyakwazi ukukhuluma izilimi eziningi njengesihlabathi esisebhishi, kodwa alukho kuzo olunendlela yangempela. Kulokhu, awubakhohlisi yini abantu? Awenzi yini umbukiso ongenalutho ongenangqikithi yokuwesekela? Konke ukuziphatha okunje kuyabalimaza abantu! Ukuphakama kwemfundiso, kusho ukuphenduka ize kokungokoqobo, futhi ayanda namathuba okungakwazi ukuletha abantu kokungokoqobo; ukuphakama kwemfundiso, kukwenza ungcolise futhi umelane noNkulunkulu. Ungaphathi izimfundiso eziphakeme kakhulu njengomcebo oyigugu; ziyalimaza futhi azinamsebenzi! Mhlawumbe abanye abantu bayakwazi ukukhuluma ngezimfundiso eziphakeme kakhulu—kodwa izimfundiso ezinjalo azinalutho olungokoqobo, ngoba laba bantu abakaze babhekana nazo ngqo, ngakho abanandlela abangayenza. Labo bantu abakwazi ukuhambisa umuntu emgudwini ofanele, futhi bayogcina ngokuphambukisa abantu. Akubona yini abantu abalimazayo laba? Okungenani, kumele ukwazi ukuxazulula izinkinga zamanje futhi uvumele abantu bafinyelele ukungena; yilokhu kuphela okusebenza njengokuzinikela, futhi kulapho kuphela lapho uyokwazi khona ukusebenzela uNkulunkulu. Ungahlale ukhuluma okuphakeme, amazwi akhazimulayo, futhi ungababophi abantu ubenze bakulalele ngezenzo zakho eziningi ezingafanele. Ukwenza kanjalo ngeke kube namphumela, kungandisa kuphela ukudideka kwabantu. Ukuhola abantu ngale ndlela kuyokwakha izingxenye eziningi zomthetho, okuyokwenza abantu bakuzonde. Leli iphutha lomuntu, futhi liphoxa kakhulu ngempela. Ngakho, khuluma kakhulu ngezinkinga ezikhona manje. Ungaphathi izimo zabanye abantu njengempahla yakho bese uyikhiphela abanye ukuze bayithokozele. Kumele wena ufune indlela yokuphuma. Yilokhu okufanele kwenziwe yiwo wonke umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Gxila Kakhulu Kokungokoqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

350. Ingabe ukuqonda kwenu iqiniso kuyahambisana nezimo zenu? Empilweni yangempela, kumele kuqala ucabange ukuthi iliphi iqiniso elihambisana nabantu, izinto nje, kanye nezinto ezibonakalayo ohlangabezane nazo; kuphakathi kwala maqiniso lapho ongakwazi khona ukuthola intando kaNkulunkulu bese uyaxhumana nentando Yakhe. Uma ungazi ukuthi iziphi izingxenye zeqiniso ezihambisana nezinto ohlangabezane nazo, kodwa uqonde ekufuneni intando kaNkulunkulu, le ndlela inobumpumputhe futhi angeke ilethe imiphumela. Uma ufuna ukuthola intando kaNkulunkulu, kumele kuqala ubheke uhlobo lwe zinto ezizile kuwe, iziphi izingxenye zeqiniso ezihambisana nazo, futhi bese ubheka iqiniso ezwini likaNkulunkulu elihambisana nezinto ohlangabezane nazo. Bese ubheka indlela yokwenza okuhle okukulelo qiniso; ngale ndlela ungazuza intando kaNkulunkulu ngokuqonda okungekho sobala. Ukufuna kanye nokwenza iqiniso akusikho ukwenza isifundiso ngomshini noma ukulandela ifomula. Iqiniso alina ndlela, noma umthetho wokulenza. Alifile—liwukuphila, liyinto ephilayo, futhi kuwumgomo ukuthi isidalwa kumele sililandele futhi umgomo abantu okumele babe nawo empilweni yabo. Lokhu yinto okumele uyiqonde kakhulu ngokwenzekile. Noma ngabe ufike kuliphi izinga ngokwesipiliyoni sakho, awuhlukaniseki nezwi likaNkulunkulu noma iqiniso, futhi nalokhu ukuqonda ngesimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu okwaziyo ngalokho uNkulunkulu anakho nayikho, konke kubonakala emazwini kaNkulunkulu; kuxhumene ngendlela engenakuhlukaniswa neqiniso. Isimo sikaNkulunkulu kanye nalokho anakho nayikho, ngokwakho kuyiqiniso; iqiniso liwukubonakaliswa kwesimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu anakho nayikho. Lenza lokhu uNkulunkulu anakho nayikho kuqine futhi ukusho ngokugcizelela; likutshela ngqo ukuthi uNkulunkulu uthandani, yini angayithandi, yini Afuna ukuba uyenze futhi yini angayivumeli ukuba uyenze, ibaphi abantu abenyanyayo futhi ibaphi abantu athokoza ngabo. Emva kweqiniso uNkulunkulu alishoyo, abantu bangabona ukwenama, intukuthelo, usizi, nentokozo, kanye nengqikithi Yakhe—lokhu ukwambulwa kwesimo Sakhe. Ngaphandle nje kokwazi lokho uNkulunkulu anakho nayikho, nokuqonda isimo Sakhe ezwini Lakhe, okubaluleke kakhulu isidingo sokufinyelela kulokhu ukuqonda ngokuzwa okuphathekayo. Uma abantu beziqhelelanisa nokuphila kweqiniso ukuze bamazi uNkulunkulu, angeke bakwazi ukuphumelela kulokho. Noma ngabe abantu bengakwazi ukuzuza ukuqonda ezwini likaNkulunkulu, kuzoba nesilinganiso salokhu okubhalwe phansi kanye namazwi, futhi kukhona ukungafani nalokhu uNkulunkulu afana nakho ngempela.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

351. Kusukela esikhathini sokuqala kwabo ukukholwa kuNkulunkulu kuze kube inamuhla, abantu bebelokhu begcine ukukhuthazeka okungalungile. Uma ungalenzi iqiniso, uzwa sengathi zonke izisusa zakho zilungile, kodwa uma into ethile yenzeka kuwe, uyobona ukuthi kuningi ukukhuthazeka okungalungile phakathi kwakho. Ngakho, uma uNkulunkulu ephelelisa abantu, ubenza babone ukuthi kunemibono eminingi ngaphakathi kubo evimba ulwazi lwabo ngoNkulunkulu. Uma ubona ukuthi ukukhuthazeka kwakho akulungile, uma ukwazi ukuyeka ukwenza ngokuhambisana nemibono nokukhuthazeka kwakho futhi ukwazi ukufakazela uNkulunkulu, futhi ume uqine endaweni yakho kukho konke okwenzeka kuwe, lokhu kuyakhomba ukuthi uyihlubukile inyama. Uma uhlubuka enyameni, nakanjani kuzoba khona impi ngaphakathi kwakho. USathane uzozama ukwenza abantu bamlandele, uzozama ukubenza ukuthi balandele imibono yenyama futhi baphakamise izidingo zenyama—kodwa amazwi kaNkulunkulu azokhanyisela futhi akhanyise abantu ngaphakathi, futhi ngalesi sikhathi kukuwe ukuthi ulandela uNkulunkulu noma ulandela uSathane. UNkulunkulu ucela abantu ukuthi benze iqiniso ngokoqobo ikakhulukazi ukuze babhekane nezinto ezingaphakathi kubo, ukubhekana nemicabango yabo, nemibono engeyona eyenhliziyo kaNkulunkulu. UMoya oNgcwele uthinta abantu ezinhliziyweni zabo, futhi abakhanyisele aphinde abakhanyise. Ngakho ngemuva kwakho konke okwenzekayo kunempi: Njalo uma abantu benza iqiniso, noma benza uthando lukaNkulunkulu, kunempi enkulu, futhi nakuba konke kungabukeka kuhamba kahle enyameni yabo, ekujuleni kwezinhliziyo zabo impi yokuphila nokufa, eqinisweni izobe ihlangene phezulu empeleni—futhi ingemuva kwale mpi ethunqa uthuli kuphela, emuva kokucabanga okujule kakhulu lapho kunganqunywa khona mayelana nokunqoba noma ukwehlulwa. Umuntu akazi noma ahleke noma akhale yini. Ngenxa yokuthi ukukhuthazeka okuningi okungaphakathi kubantu akulungile, okunye ngenxa yokuthi omningi umsebenzi kaNkulunkulu awuvumelani nemibono yabo, uma abantu benza iqiniso, impi enkulu iliwa esithe. Sebelenzile leli qiniso esithe abantu babe sebekhale imvula yezinyembezi ngaphambi kokunquma ekugcineni ukwanelisa uNkulunkulu. Yingenxa yale mpi eyenza ukuthi abantu babhekane nokuzwa ubuhlungu nokucwengwa; lokhu ukuhlupheka kwangempela. Uma impi isiphezu kwakho, uma ukwazi ngempela ukuma ngasohlangothini lukaNkulunkulu, uzokwazi ukwanelisa uNkulunkulu. Ngenkathi wenza iqiniso akunakho ukugwemeka ukuthi umuntu ahlupheke ngaphakathi; uma, lapho belenza iqiniso, yonke into ngaphakathi kubo ilungile, bebengeke badinge ukupheleliswa nguNkulunkulu, futhi bekungeke kube khona impi, futhi bebengeke bezwe ubuhlungu. Yingoba ziningi izinto ezikubantu ezingenakusetshenziswa nguNkulunkulu, futhi kuningi ukuhlubuka kwenyama, ngendlela yokuthi abantu badinga ukuthi bafunde isifundo sokuhlubuka enyameni kakhulu impela. Yilokhu uNkulunkulu akubiza ngokuzwa ubuhlungu acela umuntu ukuba adlule kukho kanye Naye. Lapho uhlangabezana nezingqinamba, phuthuma futhi uthandaze kuNkulunkulu: O Nkulunkulu! Ngifisa Ukukwanelisa, ngifisa ukubhekana nobunzima bokugcina ukuze nganelise inhliziyo Yakho, futhi akukhathaleki ukuthi zinkulu kangakanani izithiyo engizohlangabezana nazo, kufanele ngikwanelise nakuba kunjalo. Noma kudingeka nginikele ngempilo yami yonke, kusafanele ngikwanelise! Ngalokhu ukuzimisela, uma uthandaza kanjalo uyokwazi ukuma uqine ebufakazini bakho. Njalo uma benza iqiniso, njalo babhekana nezilingo, njalo bayavivinywa, futhi njalo umsebenzi kaNkulunkulu ubekwa kubo, abantu babhekana nobuhlungu obukhulu. Konke lokhu kuyisivivinyo kubantu, ngakho phakathi kwabo bonke kunempi. Leli inani abalikhokhayo ngempela. Ukufunda amazwi kaNkulunkulu kakhulu nokuya le nale uphansi phezulu kakhulu nokho kuyinani elincane. Yilokho abantu ekufanele bakwenze, kuwumsebenzi wabo; futhi kuwumthwalo ekufanele bawuthwale, kodwa abantu kufanele babeke eceleni lokho ngaphakathi kubo okufanele kubekwe eceleni. Uma ungakwenzi lokho, akunandaba ukuthi ubuhlungu bakho obuzwa ngaphandle bukhulu kangakanani, nokuthi uye le nale kangakanani, konke kuyoba yize! Okusho ukuthi, izinguquko ngaphakathi kuwena kuphela ezibonisayo noma ubunzima bakho bangaphandle bunesigqi. Uma isimo sakho sangaphakathi sesishintshile futhi sewulenzile iqiniso, konke ukuhlupheka kwakho kwangaphandle kuyozuza ukwamukelwa nguNkulunkulu; uma kungabanga noshintsho esimweni sakho sangaphakathi, akusho lutho ukuthi ubhekana nokuhlupheka okungakanani noma uya le nale kangakanani ngaphandle, ngeke akwamukele uNkulunkulu—futhi ubunzima obungemukelwanga uNkulunkulu buyize. Ngakho, ukuthi inani olikhokhile liyamukelwa uNkulunkulu kuncike ekutheni lubekhona yini ushintsho noma cha kuwena, futhi nasekutheni uyalenza yini iqiniso noma cha, futhi uhlubukile yini ekukhuthazweni kwakho nasemibonweni ukuze uthole ukwanelisa intando kaNkulunkulu, ulwazi lukaNkulunkulu, kanye nokwethembeka kuNkulunkulu. Akunandaba ukuthi uyaluza kangakanani, uma ungakaze ukwazi ukuhlubuka ekukhuthazweni kwakho, ufuna kuphela izenzo nentshisekelo yangaphandle, futhi ungachithi isikhathi unaka impilo yakho, ngakho-ke ubunzima bakho buyobe buyize.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

353. Unganikela ngayo yonke inhliziyo nomzimba wakho nalo lonke uthando lwakho kuNkulunkulu, ukubeke phambi kukaNkulunkulu, umlalele ngokuphelele Yena, futhi ucabangele ngokuphelele intando Yakhe. Hhayi ngenyama, hhayi ngomndeni futhi hhayi ngezifiso zakho siqu, kodwa ngenxa yezithakazelo zendlu kaNkulunkulu. Kuzo zonke izinto ungathatha izwi likaNkulunkulu njengesimiso, njengesisekelo. Ngaleyo ndlela, izinhloso zakho, imibono yakho konke kuzoba sendaweni efanele, futhi uzoba umuntu onconywa uNkulunkulu phambi Kwakhe. UNkulunkulu uthanda abantu abazinikele ngokuphele Kuye, abantu abaqotho Kuye futhi hhayi komunye. Labo abazondayo abantu abanenhliziyo engaphelele Kuye, abadlubulandayo Kuye. Uyabazonda labo abakholelwa Kuye futhi abahlale befuna ukujabula Ngaye, kodwa abakwazi ukuzinikela ngokuphelele ngenxa Yakhe. Uyabazonda labo abathi bayamthanda kodwa badlubulunde Kuye ezinhliziyweni zabo. Uyabazonda labo abasebenzisa amazwi ahlotshisiwe ukuze bakhohlise. Labo abangazinikeli ngobuqotho kuNkulunkulu noma bamlalele ngobuqotho bangabantu abakhohlisayo; ngokwemvelo banenkani kakhulu. Labo abangakwazi ukulalela ngobuqotho phambi kukaNkulunkulu ojwayelekile, ongokoqobo, banenkani ngisho nakakhulu, futhi bona ikakhulukazi bayizigqila zengelosi enkulu. Labo abazinikela ngempela endaweni kaNkulunkulu sonke isiqu sabo phambi Kwakhe. Bawalalela ngobuqotho wonke amazwi Akhe, futhi bayakwazi ukwenza amazwi Akhe. Benza amazwi kaNkulunkulu isisekelo sokuba khona kwabo, futhi bayakwazi ukufuna ngobuqotho izingxenye abangazenza ezwini likaNkulunkulu. Lona ngumuntu ophila ngeqiniso phambi kukaNkulunkulu. Uma okwenzayo kuzuzisa empilweni yakho, futhi ngokudla nokuphuza amazwi Akhe, ungahlangabezana nezidingo zakho zangaphakathi kanye nokunganeliseki ukuze isimo sokuphila kwakho siguqulwe, khona-ke lokhu kuyokwanelisa intando kaNkulunkulu. Uma wenza ngokuhambisana nezimfuno zikaNkulunkulu, uma ungayanelisi inyama kodwa wanelise intando Yakhe, lokhu kuwukungena eqinisweni lamazwi Akhe. Uma kukhulunywa ngokungena ujule eqinisweni lamazwi kaNkulunkulu, kusho ukuthi ungawenza umsebenzi wakho wanelise izimfuno zikaNkulunkulu. Yilolu hlobo kuphela lwezenzo ezibalulekile olungabizwa ngokungena eqinisweni lwamazwi Akhe. Uma ukwazi ukungena kuleli qiniso, kusho ukuthi uneqiniso. Lesi isiqalo sokungena eqinisweni; kumele uqale wenze lokhu kuqeqeshwa futhi kungemva kwalokho kuphela lapho uyokwazi khona ukungena ujule ezintweni zangempela.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Ngeqiniso Yilabo Abakuthobela Ngokuphelele Ukuba Ngokoqobo Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

354. UNkulunkulu unguNkulunkulu ongokoqobo: Wonke umsebenzi Wakhe ungokoqobo, wonke amazwi awakhulumayo angokoqobo, futhi wonke amaqiniso awavezayo angokoqobo. Yonke into engewona amagama Akhe ayinalutho, ayikho, futhi ayinampilo. Namhlanje uMoya oNgcwele uzoholela abantu emazwini kaNkulunkulu. Uma abantu bezophokophela ukungena eqinisweni, kufanele bafune iqiniso, futhi bazi iqiniso, emuva kwalokho bazizwele iqiniso, baphinde baliphile iqiniso. Uma kwanda ukuba abantu bazi iqiniso, yilapho abantu bekwazi kangcono khona ukubona ukuthi ngabe amazwi abanye awangempela yini; uma kwenyuka ukwazi kwabantu iqiniso, iyancipha imibono ababa nayo; uma kwanda ukuzizwela kwabantu iqiniso, futhi uma kwenyuka ukwazi kwabo izenzo zikaNkulunkulu weqiniso, futhi kuya kuba lula kubo ukuphunyuka ezimeni zabo ezonakele ezinobusathane; ukwanda kweqiniso kubantu, kuya kwanda ukwazi kwabo uNkulunkulu, futhi kuya kwanda ukwenyanya kwabo inyama nokuthanda iqiniso; uma kwanda ukuba neqiniso kwabantu, baya besondela ezingeni lezimfuneko zikaNkulunkulu. Abantu abazuzwa nguNkulunkulu yilabo abaneqiniso, abazi iqiniso; nasebefinyelele ekwazini izenzo zangempela zikaNkulunkulu ngokuzizwela iqiniso. Uma ukubambisana noNkulunkulu ngokoqobo futhi uthibe umzimba wakho, yilapho uyowuthola kakhulu umsebenzi woMoya oNgcwele, yilapho uyozuza iqiniso, futhi uyokhanyiselwa kakhulu nguNkulunkulu—futhi ingakho luyokhula ulwazi lwakho ngemisebenzi kaNkulunkulu yangempela. Uma ukwazi ukuphila ekukhanyeni kwamanje koMoya oNgcwele, indlela yamanje yokwenza iyoya ikucacela, futhi uyokwazi ukuzehlukanisa nemibono yenkolo kanye nokwenza okudala kwesikhathi esidlule. Namuhla sigxile eqinisweni: Uma abantu beba neqiniso ngokwengeziwe, luya lucaca ulwazi labo ngeqiniso, futhi kuya kukhula ukuqonda kwabo intando kaNkulunkulu. Iqiniso linganqoba wonke amagama kanye nezimfundiso, linganqoba lonke ulwazi olucatshangwayo nobuchwepheshe, futhi uma abantu begxila kakhulu eqinisweni, kuya kukhula ukuthanda kwabo uNkulunkulu, nokulamba nokunxanelwa amazwi Akhe. Uma ugxila eqinisweni, ifilosofi yakho ngempilo, imibono ngenkolo kanye nesimilo sakho semvelo, siyocinywa ngokwemvelo emuva komsebenzi kaNkulunkulu. Labo abangashisekeli iqiniso, futhi abangenalo ulwazi ngeqiniso, kulula ukuthi baphishekele lokho okungaphezu kwemvelo, futhi bayokhohliseka kalula. UMoya oNgcwele awunayo indlela yokusebenza kubantu abanjalo, ngakho bazizwa bengenalutho, futhi nokuthi izimpilo zabo azisho lutho.

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi Iqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

355. Ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kulapho uzoba neqiniso kakhulu; ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kulapho uzoba nothando lukaNkulunkulu kakhulu; futhi ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kungesikhathi ubusiswa kakhulu uNkulunkulu. Uma uhlala wenza ngale ndlela, uthando lukaNkulunkulu kuwe kancane kancane, luyokwenza ubone, njengoba uPetru athola ukwazi uNkulunkulu: UPetru wathi uNkulunkulu akanakho ukuhlakanipha kokwenza amazulu nomhlaba kanye nakho konke, kodwa, ngaphezu kwalokho, unokuhlakanipha kokwenza umsebenzi wangempela kubantu. UPetru wathi akafanelwe uthando lwabantu kuphela ngenxa yokudala Kwakhe amazulu nomhlaba kanye nakho konke, kodwa, naphezu kwalokho, ngenxa yekhono Lakhe lokudala umuntu, ukusindisa umuntu, ukwenza umuntu apheleliswe, kanye nokushiyela umuntu uthando Lwakhe. Ngakho, naye, uPetru washo ukuthi kuningi Kuye okufanelwe uthando lomuntu. UPetru wathi kuJesu: “Awufanelwe yini uthando lwabantu kakhulu kunokudala amazulu nomhlaba kanye nakho konke? Kuningi Kuwe okuthandekayo. Uyenza futhi unyakaze empilweni yangempela, uMoya Wakho ungithinta ngaphakathi, uyangiyala, uyangihlanza—lezi zinto zilufanele kakhulu uthando lwabantu.” Uma ufuna ukubona nokuzwa uthando lukaNkulunkulu, khona-ke kumele uhlole futhi ufune impilo yangempela, futhi kumele ukulangazelele ukubeka eceleni inyama yakho. Kumele wenze lesi sinqumo. Kufanele ube umuntu onesinqumo, okwazi ukwanelisa uNkulunkulu ezintweni zonke, ngaphandle kokuvilapha, noma ukuhalela ukuthokozisa inyama, hhayi ukuphilela inyama kodwa ukuphilela uNkulunkulu. Kungenzeka kube nezikhathi lapho ungamenelisi uNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi awuyiqondi intando kaNkulunkulu; ngesikhathi esilandelayo, nakuba kuzodinga umzamo omkhulu, kumele umanelise, unganelisi inyama. Uma uhlangabezana nalokhu, uyobe usufikile ekwazini uNkulunkulu. Uyobona ukuthi uNkulunkulu wakwazi ukudala amazulu nomhlaba kanye nakho konke, ukuthi uye waba yinyama ukuze abantu bambone ngempela, futhi bahlanganyele Naye, nokuthi uyakwazi ukuhamba phakathi kwabo, nokuthi uMoya Wakhe wenza abantu ukuba bapheleliswe empilweni engokoqobo, ukubavumela ukuba babone ubuhle Bakhe, futhi bazizwele ukuyalwa Nguye, ukusolwa Nguye, kanye nezibusiso Zakhe. Uma uhlala wenza ngale ndlela, empilweni yakho engokoqobo ngeke wahlukaniseke noNkulunkulu, futhi uma ngolunye usuku ubudlelwano bakho noNkulunkulu buyeka ukuba ngobujwayelekile, uyokwazi ukuzwa ihlazo, kanye nokwazi ukuzwa ukuzisola. Uma unobudlelwano obujwayelekile noNkulunkulu, angeke ufise ukushiya uNkulunkulu, futhi uma uNkulunkulu ngelinye ilanga ethi uyakushiya, uyoba nokwesaba, futhi uyothi ungamane ufe kunokuba ushiywe uNkulunkulu. Uma usunale mizwa, uyozizwela ukuthi awukwazi ukushiya uNkulunkulu, futhi ngale ndlela, uyoba nesisekekelo, futhi uyolujabulela uthando lukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

356. Iphutha elikhulu elenziwa ngumuntu okholwa nguNkulunkulu ukuthi ukholo lwakhe lungamagama kuphela, futhi uNkulunkulu akekho ezenzweni zempilo yakhe ezibonakalayo. Bonke abantu, bayakholwa ngempela, ukuthi uNkulunkulu ukhona, kepha uNkulunkulu akayona ingxenye yezimpilo zabo zansuku zonke. Miningi imithandazo eya kuNkulunkulu evela emlonyeni womuntu, kodwa uNkulunkulu unengxenye encane enhliziyweni yakhe, ngakho uNkulunkulu uyamvivinya umuntu ephinda phinda. Njengalokhu umuntu engcolile, uNkulunkulu akanakho okunye angakwenza ngaphandle kokuba amvivinye umuntu, ukuze azisole afinyelele ekumazini uNkulunkulu ngazo izivivinyo. Ngale kwalokho, abantu bonke bayoba ngabantwana bengelosi enkulu, bese beya begcwala inkohlakalo kakhulu. Ngokuqhubeka komuntu ekholwa kuNkulunkulu, izinhloso nezinjongo zomuntu eziningi ezakhe ngokwakhe, ziyalahlwa njengoba esuke eqhubeka ehlanzwa nguNkulunkulu. Ngale kwaloko, akekho umuntu ongasetshenziswa nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu akanandlela yokwenza kumuntu umsebenzi okufanele awenze. UNkulunkulu uqala ahlanze umuntu. Ngesikhathi kuqhubeka lokhu, kungenzeka umuntu afinyelele ekutheni azazi yena uqobo kanti noNkulunkulu angamshintsha umuntu. Emuva kwalokhu yilapho uNkulunkulu engakwazi khona ukwenza umsebenzi empilweni yomuntu, futhi yingale ndlela kuphela inhliziyo yomuntu ingaguquka ngayo ibheke kuNkulunkulu ngokupheleleyo. Ngakho-ke, ukukholwa kuNkulunkulu akusiyo into elula njengoba umuntu engasho. Ngokubuka kukaNkulunkulu, uma unolwazi kuphela kodwa ungenalo izwi Lakhe njengokuphila; uma unesilinganiso solwazi lwakho ngokwakho kuphela kodwa ungakwazi ukwenza iqiniso noma uliphile izwi likaNkulunkulu, ngakho lokhu kusengubufakazi bokuthi awunayo inhliziyo enothando ngoNkulunkulu, futhi kukhombisa ukuthi inhliziyo yakho ayikabi ngekaNkulunkulu. Ukufinyelela ekumazini uNkulunkulu ngokukholwa Nguye; lokhu kuwumgomo wokugcina okumele umuntu awufune. Kumele uzinikele ngomfutho ukuba uphile amazwi kaNkulunkulu ukuze akwazi ukufezeka ezenzweni zakho. Uma unolwazi lokufundiswa kuphela, ukholo lwakho kuNkulunkulu luyofana noluyize. Kuphela uma ubuye wenze futhi uliphile izwi likaNkulunkulu lapho ukholo lwakho luyothathwa njengoluphelele noluvumelana nentando kaNkulunkulu. Kule ndlela, abantu abaningi bangakhuluma ngolwazi oluningi, kodwa ngesikhathi sokufa kwabo, amehlo abo agcwala izinyembezi, futhi bazizonde ngoba bechithe isikhathi sabo sokuphila nokuthi baphilele ize baze baficwa ukuguga. Baqonda kuphela izimfundiso kodwa abakwazi ukwenza iqiniso futhi bafakazele uNkulunkulu, kunalokho bagijima baya le nale, bematasa njengenyosi; lapho sebesondele ekufeni bagcina sebebona ukuthi bantula ubufakazi obuyiqiniso, ukuthi abamazi nhlobo uNkulunkulu. Akuve sesibashiyile nje isikhathi? Kungani ungasisebenzisi kahle isikhathi futhi ufune iqiniso leli olithandayo? Kungani uzolinda kuze kube kusasa? Uma empilweni ungahluphekeli iqiniso noma ufune ukulizuza, kungenzeka ukuthi ufuna ukuzisola ngehora lakho lokugcina? Uma kunjalo, kungani-ke ukholelwa kuNkulunkulu? Eqinisweni, ziningi izinto lapho umuntu, uma enza umzamo wokuzinikela ngisho omncane kakhulu, engalenza iqiniso ngendlela ebonakalayo futhi ngaleyo ndlela amenelise uNkulunkulu. Inhliziyo yomuntu ngaso sonke isikhathi ihlale igutshezelwe ngamadimoni ngakho akakwazi ukwenza ngenxa kaNkulunkulu. Kunalokho, njalo wehla enyuka ebheka okwenyama, angabuyelwa yilutho ekugcineni. Kungenxa yalezi zizathu umuntu ehlala esezinkingeni nasebuhlungwini. Akuzona lezi izinhlupho zikaSathane? Akukhona lokhu ukukhohlakala kwenyama? Akufanele wenze uNkulunkulu isilima umkhonze ngomlomo kuphela. Kunalokho, kumele uthathe isinyathelo esibonakalayo. Ungazikhohlisi wena uqobo; iyini injongo kulokho? Yini ongayizuza ngokuphilela inyama yakho nokukhandlekela udumo kanye nengcebo?

Kucashunwe embhalweni othi “Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

357. Labo abakholwa ngobuqotho kuNkulunkulu yilabo abazimisele ukwenza izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo abazimisele ukwenza iqiniso. Labo abangamfakazela ngobuqotho uNkulunkulu bayilabo futhi abazimisele ukwenza izwi Lakhe, futhi bayilabo abangama ngempela ohlangothini lweqiniso. Labo abasebenzisa ubuqili futhi abenza okungalungile bonke bangabantu abangenalo iqiniso futhi bonke bahlambalaza uNkulunkulu. Labo abaxabanayo ebandleni bayizinceku zikaSathane, futhi bafuze uSathane. Lolu hlobo lomuntu lukhohlisa kakhulu. Labo abangenakho ukuqonda futhi abangakwazi ukuma ohlangothini lweqiniso bonke bazonda izinhloso ezimbi futhi badelela iqiniso. Laba bantu bamfuze bangamshiya uSathane; ngeke besahlengeka futhi akuthandabuzwa ukuthi bonke bazosuswa. Labo abangalenzi iqiniso akufanele bavunyelwe babe semndenini kaNkulunkulu, nalabo abalibhidliza ngamabomu ibandla. Kodwa manje akusona isikhathi sokwenza umsebenzi wokuxosha. Bayomane bembulwe futhi basuswe ekugcineni. Awukho omunye umsebenzi ophilayo ozokwenziwa kulaba bantu; labo abangabakaSathane abakwazi ukuma ohlangothini lweqiniso, kuyilapho labo abafuna iqiniso bengama ohlangothini lweqiniso. Labo abangalenzi iqiniso abafaneleki ukuzwa indlela yeqiniso futhi abafaneleki ukufakaza ngeqiniso. Iqiniso akulona elezindlebe zabo kodwa likhulunyelwa izindlebe zalabo abalenzayo. Ngaphambi kokwembulwa kwesiphelo sawo wonke umuntu, labo abaphazamisa ibandla futhi baphazamise umsebenzi bayoqale bashiyelwe kolunye uhlangothi. Lapho umsebenzi usuphelile, laba bantu bayokwembulwa ngokulandelana ngaphambi kokususwa kwabo. Phakathi nesikhathi sokunikeza iqiniso, basuke benganakiwe ngaleso sikhathi. Lapho lonke iqiniso lembulwa kubantu labo bantu kufanele basuswe, njengoba leso futhi kuyoba isikhathi lapho bonke abantu behlukaniswa ngokwezinhlobo zabo. Ngenxa yokuhlakanipha kwabo okungatheni, labo abangaqondi bayokwehlela encithakalweni ezandleni zabantu ababi futhi bayophambukiswa abantu ababi futhi ngeke bakwazi ukubuya. Laba bantu kufanele baphathwe ngale ndlela, njengoba bengalithandi iqiniso, ngoba abakwazi ukuma ohlangothini lweqiniso, ngoba balandela abantu abakhohlakele, futhi ngenxa yokuthi bahlangana nabantu ababi badelele uNkulunkulu. Bazi kahle kamhlophe ukuthi labo bantu abangcolile basakaza okubi kodwa baqinisa izinhliziyo zabo babalandele, benze okuphambene neqiniso. Ingabe laba bantu abangalenzi iqiniso kodwa abenza izinto ezilimazayo nezimbi bonke abenzi okubi? Nakuba kunabanye phakathi kwabo abazenza “amakhosi” nalabo ababalandelayo, ingabe sonke isimo sokudelela kwabo uNkulunkulu asifani? Iziphi izaba abangaba nazo zokuthi uNkulunkulu akabasindisi? Iziphi izaba abangaba nazo zokuthi uNkulunkulu akalungile? Ingabe ababhujiswanga ububi babo? Ingabe akukhona ukuhlubuka kwabo okuyobashonisa esihogweni? Labo abenza iqiniso ekugcineni bayosindiswa futhi bapheleliswe ngeqiniso. Labo abangalenzi iqiniso ekugcineni bayophelela encithakalweni ngenxa yeqiniso. Lezi iziphetho ezilindele abenza iqiniso nabangalenzi.

Kucashunwe embhalweni othi “Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: A. Ngokwambula Ukuthi Kuyini Ukukholwa KuNkulunkulu

Okulandelayo: C. Ngendlela Yokuzazi Nokuzuza Ukuphenduka Okuyiqiniso

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp