B. Amazwi Ngokwembula Isimo Sobusathane Sesintu Esikhohlakele Nengqikithi Yemvelo Yaso

81. Umthombo wokuphikisa nokuhlubuka kwabantu kuNkulunkulu ukonakaliswa uSathane. Ngenxa yokuthi umuntu woniwe uSathane, unembeza wakhe usundikindiki, uziphetheka kabi, imicabango yakhe yedlulele futhi isimo sengqondo yakhe sonakele. Ngaphambi kokuba oniwe nguSathane, umuntu wayelandela uNkulunkulu futhi elalela amazwi Akhe emva kokuwezwa. Wayesemqondo omuhle futhi enonembeza omuhle, futhi enobuntu obuvamile. Ngenxa yokoniwa uSathane, umqondo, unembeza nobuntu bomuntu obuhle bonakala futhi konakaliswa uSathane. Ngakho walahla ukulalela nokuthanda kwakhe uNkulunkulu. Isimo sakhe sesifana nesesilwane, kanti ukuhlubuka kwakhe uNkulunkulu kwenzeka kaningi futhi kuyadabukisa kodwa umuntu uselokhu engazi futhi engakuboni lokhu futhi ulokhu ephikisa ngobumpumputhe elokhu ehlubuka. Ukwembula isimo somuntu ukusho umqondo wakhe, umbono nonembeza futhi ngenxa yokuthi umqondo nombono wakhe akulungile, nonembeza wakhe uvele waba buthuntu kakhulu, ngakho isimo sakhe sihlubuka uNkulunkulu. Uma umqondo womuntu nombono kungeke kuguquke, ngakho izinguquko esimweni sakhe ngeke zibe khona-ke, njengokulandela inhliziyo kaNkulunkulu. Uma umqondo womuntu ungalungile, ngalokho angeke akwazi ukusebenzela uNkulunkulu futhi akakulungele ukusetsheziswa nguNkulunkulu. “Umqondo ovamile” usho ukulalela nokuthembeka kuNkulunkulu, ukulangazela uNkulunkulu, ukuba kuNkulunkulu ngokuphelele, nokuba nonembeza kuNkulunkulu. Kusho ukuba nenhliziyo eyodwa nengqondo eyodwa kuNkulunkulu ungamphikisi ngabomu uNkulunkulu. Labo abanomqondo ophambukile abanje. Selokhu umuntu oniwa uSathane uveze imicabango ngoNkulunkulu futhi akabanga nokwethembeka noma ukulangazelela uNkulunkulu kungashiwo lutho ngonembeza kuNkulunkulu. Umuntu uphikisa ahlulele uNkulunkulu ngabomu, ngaphezu kwalokho ajikijele inhlamba Kuyena ngenkathi esafulathele. Umuntu wazi kahle ukuthi unguNkulunkulu kodwa usamehlulela efulathele, akazimisele ukumlalela kodwa uselokhu enza izimfuno nezicelo ezinobumpumputhe kuNkulunkulu. Abantu abanjalo—Abantu abanomqondo ophambukile—abakwazi ukwazi isimo sabo esinyanyekayo noma ukuzisola ngokuhlubuka kwabo. Uma abantu benakho ukuzazi ngokwabo, kuzobe sebabuyelwe umqonjwana omncane; ngokuvama kokuhlubuka kuNkulunkulu kodwa bengazazi, kuvama umqondo ongalungile.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

82. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa zenkohlakalo, umuntu waba ndikindiki wangahlakanipha, waba idimoni eliphikisa uNkulunkulu kangangokuba ukuhlubuka komuntu kuNkulunkulu kuqoshwe ezincwadini zomlando kanti umuntu ngokwakhe akakwazi ukunikeza izizathu ezanele zalokhu kuhlubuka kwakhe—ngoba umuntu wonakaliswe kakhulu uSathane, wadukiswa nguSathane kangangokuthi akazi nokuthi abheke ngaphi. Ngisho nanamuhla, umuntu usamkhaphela uNkulunkulu: Lapho umuntu ebona uNkulunkulu uyamkhaphela, futhi noma engamboni uNkulunkulu nalapho futhi uyamkhaphela. Kukhona nalabo abathe sebebone iziqalekiso nolaka lukaNkulunkulu kodwa balokhu bemkhaphela. Ngakho ngithi umqondo womuntu ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni nonembenza wakhe ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni. Umuntu engimbukayo yisilwane esigqoke izingubo zomuntu, uyinyoka enobuthi, noma ezama kangakanani ukuvela edabukisa emehlweni Ami, angeke ngize ngibe nomusa kuye, ngoba umuntu akawutholi umehluko phakathi kokumnyama nokumhlophe, noma umehluko phakathi kweqiniso nokungelona iqiniso. Umqondo womuntu unqindekile, kodwa usafisa ukuthola izibusiso; ubuntu bakhe abuthembeki kodwa usafisa ukuba nobukhosi benkosi. Angaba yinkosi kabani, ngomqondo onjalo? Angenza kanjani, ngobuntu obunjalo ukuthi ahlale phezu kwesihlalo sobukhosi? Umuntu ngempela akanamahloni! Ungumuntu omubi kakhulu! Kulabo phakathi kwenu abafisa ukuthola izibusiso, ngiphakamisa ukuthi niqale ngokuthola isibuko nibheke ububi benu—ngabe ufanele ukuba yinkosi? Unabo ubuso balowo ongahle azuze izibusiso? Akukaze kube ngisho noluncane uguquko esimweni sakho futhi awukaze usebenzise nalinye iqiniso kodwa ufisa ukuba nekusasa elihle. Uyazikhohlisa! Uzalelwe ezweni elingcole kangaka, umuntu yilokhu ehangulwe umphakathi, uthonywe yinkambiso endala, futhi ufundiswe “ezikhungweni zemfundo ephakeme”. Ukucabangela emuva, ukuziphatha okubi, ukubuka kabi impilo, indlela yokuphila enyanyekayo, ukuphila okungenamsebenzi, indlela yokuphila namasiko onakele—zonke lezi zinto zibe nemingenela enzima enhliziyweni yomuntu zabukela phasi futhi zahlasela unembenza wakhe. Ngalokho—ke umuntu uselokhu eqhele kakhulu kuNkulunkulu, futhi ulokhu ephikisana Naye. Isimo somuntu siba sibi kakhulu usuku nosuku kanti akekho namunye umuntu onganikela ngokuzithandela noma yini kuNkulunkulu, namunye ongalalela uNkulunkulu ngokuthanda, nangaphezu kwalokho akekho namunye ongafuna ngokuzimisela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kunalokho, ngaphansi kwendawo ebuswa nguSathane, umuntu akenzi lutho kodwa ulwela injabulo, ezinikela enkohlakalweni yenyama ezweni lodaka. Ngisho noma bezwa iqiniso labo abahlala ebumnyameni abangacabangi ukulenza noma ukuthambekela ekufuneni uNkulunkulu noma ngabe babone ukubonakala Kwakhe. Abantu abonakele kangaka bangaba kanjani nethuba lokusindiswa? Bangahlala kanjani abantu abonakele ekukhanyeni na?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

83. Umthombo wokwembula isimo somuntu esonakele awulutho ngaphandle kukanembeza wakhe obuthuntu, ububi bemvelo yakhe nomqondo wakhe ongalungile, ukuba unembeza womuntu nomqondo wakhe kuyakwazi ukubuyela esimweni esijwayelekile, uzokulungela-ke ukusetshenziswa phambi kukaNkulunkulu. Kungenxa yokuthi, unembeza womuntu ulokhu undikindiki, umqondo womuntu awukaze ulunge futhi uyaqhubeka ngokuba buthuntu okwenza umuntu aqhubeke nokuhlubuka uNkulunkulu, okwenza waze wabethela uJesu esiphambaweni futhi wenqabela uNkulunkulu osesimweni somuntu ukuba angene ekhaya lakhe, futhi ulahla inyama kaNkulunkulu, futhi abone inyama kaNkulunkulu iphansi. Ukuba umuntu ubenobuntu nje obuncane, ubengeke akhohlakale kangaka ekuphatheni inyama kaNkulunkulu, uma ngabe ubesenomqonjwana nje ubengeke abe mubi kangaka ekuphatheni inyama kaNkulunkulu; uma ngabe usenaye unembeza omncane ubengeke “abonge” uNkulunkulu osesimweni somuntu ngale ndlela. Umuntu uphila ngesikhathi lapho uNkulunkulu eba yinyama kodwa akakwazi ukumbonga uNkulunkulu ngokumnikeza ithuba elihle kangaka, kunalokho uqalekisa ukuza kukaNkulunkulu noma azibe nje impela iqiniso lokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu futhi ubukeka ephikisana naso futhi ekhathele yiso. Kungakhathalekile ukuthi umuntu ukuthatha kanjani ukuza kukaNkulunkulu, uNkulunkulu, ngamafuphi, ubesalokhu eqhubeka ngesineke ngomsebenzi wakhe—yize umuntu engakhombisanga ngisho nokuncane ukwamukela kuye, ngobumpumputhe enza izicelo Kuye. Isimo somuntu sesibe sibi kakhulu, umqondo wakhe usubuthuntu ngokwedlulele kanti unembeza wakhe unyathelwe waphela ngomubi kanti kudala wagcina ukuba unembeza womuntu ojwayelekile. Umuntu akabongi kuphela uNkulunkulu osesimweni somuntu ngokumnikeza impilo nomusa ongaka, kodwa ubuye wacasulwa uNkulunkulu ngokumnikeza iqiniso; yingoba umuntu akanayo nencane intshisekelo eqinisweni okwenza azonde uNkulunkulu. Akukhona kuphela ukuthi umuntu akakwazi ukunikela ngempilo yakhe kuNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela kodwa ubuye azame ukuthola usizo Kuye, afune inzuzo ephindwe kaningi kakhulu kunalokhu umuntu akunikele kuNkulunkulu. Abantu abanonembeza nomqondo onjalo bacabanga ukuthi konke lokhu akulona udaba olukhulu, babuye bakholwe ukuthi bangazikhandla kakhulu ngenxa kaNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ubaphe okuncane kakhulu. Kukhona abantu okuthi, benginikeze isitsha samanzi, belule izandla bafune ngibakhokhele ngokwezitsha ezimbili zobisi, noma banginikeza igumbi lokulala ubusuku obubodwa kodwa bazama ukungikhokhisa kaningi imali yendawo. Ngobuntu obunje nonembeza onje, ungafisa kanjani ukuthi uqhubeke uzuze impilo? Naze naba yizihlupheki eziyihlazo!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

84. Imvelo yenu yokuzidla nokuziqhenya yikho okunenza nikhaphele onembeza benu, nihlubuke futhi nimelane noKristu, nembule ububi benu, futhi ngalokho niziveza obala izinhloso zenu, enikucabangayo, nezifiso ezinobugovu kanye namehlo enu agcwele umhobholo. Kodwa nisaqhubeka nithi nizonikela yonke impilo yenu emsebenzini kaKristu, futhi niwandaphinda njalo amaqiniso akhulunywa uKristu kudala. Lolu “ukholo” lwenu. Lolu “ukholo lwenu olungangcolile.” Sonke lesi sikhathi, ngibambe umuntu ngemithetho eqinile. Uma ubuqotho bakho buhambisana nezinhloso nemibandela, kungono ukuthi ngingabi nakho lokhu enikubiza ngobuqotho, ngoba ngiyabazonda labo abangikhohlisa ngezinhloso zabo futhi bangiluthe ngezimo. Ngifisa kuphela sengathi umuntu abe qotho ngokuphelele Kimi, hhayi komunye umuntu, futhi enze zonke izinto ngenxa yami abonise ubuqiniso futhi afakazele leli gama elilodwa elithi: ukholo. Ngiyakwenyanya ukusebenzisa kwenu amazwi amtoti ukuze ningenze ngijabule. Ngoba ngihlale nginiphatha ngobuqotho obuphelele futhi ngifisa ukuthi nani nenze ngokholo lweqiniso kimi. Lapho kukhulunywa ngokholo, abaningi bangase bacabange ukuthi balandela uNkulunkulu ngenxa yokuthi banokholo, uma kungenjalo bebengeke bakwazi ukubekezelela ukuhlupheka okufana nalokhu. Nakhu engikubuza khona: Kungani ungamhloniphi uNkulunkulu nakuba ukholwa ukuthi ukhona? Kungani ungamesabi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu uma nikholwa ebukhoneni Bakhe? Uyakwemukela ukuthi uKristu unguNkulunkulu osesimweni somuntu, pho kungani umedelela kanje? Kungani wenza ngokungahloniphi kangaka Kuye? Kungani umahlulela esidlangalaleni? Kungani nihlale nihlola izinyathelo Zakhe? Kungani ningazamukeli izinhlelo Zakhe? Kungani ningenzi izinto ngokuvumelana nezwi Lakhe? Kungani nimephuca futhi nimphamba ngeminikelo Yakhe? Kungani nikhuluma esikhundleni sikaKristu? Kungani nahlulela ukuthi umsebenzi nezwi Lakhe kulungile noma cha? Kungani nibe nesibindi sokumhlambalaza ngemuva Kwakhe? Ingabe lokhu nokunye kuyizinto ezakha ukholo lwenu?

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Uyikholwa Leqiniso KuNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

85. Uma usebenzisa imibono ukuze ukale futhi uchaze uNkulunkulu, njengokungathi uNkulunkulu uyisithombe sobumba esingashintshi, futhi uma ulinganisela uNkulunkulu eBhayibhelini, umlinganisela emsebenzini othile kuphela, lokhu kuwubufakazi bokuthi uyamenqaba uNkulunkulu. Phela ezinhliziyweni zawo, amaJuda angezikhathi zeTestamente Elidala enza uNkulunkulu waba yisithombe esibunjiwe, njengokungathi uNkulunkulu angase abizwe ngokuthi unguMesiya kuphela, futhi yilowo owayebizwa ngoMesiya kuphela owayenguNkulunkulu, futhi ngoba abantu babesebenzela futhi bekhonza uNkulunkulu njengokungathi ungubumba olungaphili. Babethela uJesu wangaleso sikhathi esiphambanweni, bemgwebela ukufa—bebulala uJesu ongenacala. Alikho icala elenziwe uNkulunkulu, noma kunjalo abantu baqhubeka nokusola uNkulunkulu, ngesibindi bamgwebela ukufa. Ngakho uJesu wabethelwa. Abantu bahlale bekholelwa ukuthi uNkulunkulu akashintshi, futhi bamchaza ngokwalokho okushiwo iBhayibheli, njengokungathi abantu bake bakubona ukuqondisa kukaNkulunkulu, njengokungathi konke okwenziwa uNkulunkulu kusesandleni somuntu. Abantu bayiziwula ngezinga elikhulu, bazithwele ngendlela engachazeki futhi bahamba phambili ngokukhuluma into engaqondakali. Kungakhathaliseki ukuthi unolwazi olukhulu kangakanani ngoNkulunkulu, ngisasho ukuthi awumazi uNkulunkulu, akekho ophikisana kakhulu noNkulunkulu ukwedlula wena, futhi wenqaba uNkulunkulu, ngoba awunakukwazi ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu nokuhamba endleleni evumela uNkulunkulu ukuba akwenze uphelele. Kungani uNkulunkulu engeneliseki ngokwenziwa abantu? Kungoba abantu abamazi uNkulunkulu, kungoba banemibono eminingi, futhi kunokuba bavumelane neqiniso konke abakwaziyo ngoNkulunkulu kusikwe endwangini efanayo, futhi kusebenzisa indlela efanayo kuso sonke isimo. Ngakho futhi, njengoba uNkulunkulu eye weza emhlabeni namuhla, abantu baphinde bambethela esiphambanweni. Abantu abanonya nabanesihluku! Ubuqili nokusongelana, ukududulana, ukugijimela udumo nokuceba, ukubulalana—kuzophela nini? UNkulunkulu uye wakhuluma izinto eziningi kakhulu, nokho akekho noyedwa oye waziqonda. Abantu benza izinto becabangela imindeni yabo, futhi becabangela amadodana namadodakazi abo, imisebenzi yabo, ikusasa labo, ukuma kwabo, ukuqhosha nemali, benzela ukugqoka, ukudla nemizimba yabo—yini eyenzelwa uNkulunkulu ngempela? Ngisho nalabo abenza okuthile egameni likaNkulunkulu, bambalwa kakhulu abamaziyo uNkulunkulu. Bangaki abangacabangi ngezinto abazifunayo lapho benza okuthile? Bangaki abangabacindezeli abanye noma babacwase ngoba nje befuna ukuvikela igama labo? Ngakho, uNkulunkulu uye wenqatshwa ngokuqinile futhi wabulawa izikhathi eziningi. Abahluleli abangenakubalwa abenza ngendlela yobulwane bamenqabile uNkulunkulu, okuwukubethela uNkulunkulu esiphambamweni futhi. Bangaki abangase babizwe ngokuthi balungile ngoba benza okuthile ngenxa kaNkulunkulu ngokweqiniso?

Kucashunwe embhalweni othi “Ababi Nakanjani Bayojeziswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

86. Abantu abaningi abaphikisani yini noNkulunkulu futhi bavimbe umsebenzi woMoya oNgcwele ngoba bengazi umsebenzi kaNkulunkulu onhlobonhlobo futhi ohlukahlukene, ngaphezu kwalokho, banengcosana yolwazi nemfundiso abakala ngayo umsebenzi woMoya oNgcwele? Nakuba abadlule kukho laba bantu kukha phezulu, bayaqhosha futhi bathanda ukuzitika ngokwemvelo, futhi babuka umsebenzi woMoya oNgcwele ngokudelela bashaya indiva ukuqondisa koMoya oNgcwele futhi, ngaphezu kwalokho, basebenzisa izinkulumo zabo ezindala neziyize ukuqinisekisa umsebenzi woMoya oNgcwele. Bayazenzisa, futhi banelisekile ngokuphelele ngolwazi lwabo uqobo kanye nokufunda kwabo, nokuthi bayakwazi ukuhamba banqamule umhlaba. Abantu abanjalo akubona labo abazondwayo futhi abalahlwe uMoya oNgcwele futhi ngeke yini bakhishwe yinkathi entsha? Labo abeza phambi kukaNkulunkulu bamphikise imbaba abayibo yini abantu abangazi lutho futhi abanolwazi oluncane abancinyane, abazama nje ukukhombisa ukuthi bahlakaniphe kangakanani? Ngolwazi oluwubala lweBhayibheli, bazama ukugxamalaza “imikhakha yezemfundo” yomhlaba, benemfundiso ekha phezulu nje abayifundisa abantu, bazama ukuphindisela emuva umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bazame ukuwenza uzungeze lapho inqubo yabo yokucabanga ikhona, futhi, njengoba benokubukela eduze nje, bazama ukujeqeza kanye nje umsebenzi kaNkulunkulu weminyaka eyizi-6,000. Laba bantu abanaso isizathu abangakhuluma ngaso! Empeleni, lapho ulwazi lwabantu lulukhulu ngoNkulunkulu, yilapho bephuza ukwahlulela umsebenzi Wakhe. Ngaphezu kwalokho, bakhuluma kancane kuphela ngomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, kodwa abanawo amawala ekwahluleleni kwabo. Lapho kukuncane abantu abakwaziyo ngoNkulunkulu, yilapho beqhosha khona futhi benokuzethemba okweqile, futhi yilapho bememezela ngokungabi namahloni okukhulu ubukhona bukaNkulunkulu—kepha bakhuluma okucatshangwayo nje kuphela, futhi abalethi ubufakazi bangempela. Abantu abanjalo abalusizo kwalutho. Labo ababona umsebenzi woMoya oNgcwele njengomdlalo abanangqondo! Labo abangaqapheli uma behlangabezana nomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, abakhuluma noma ikanjani nje, abasheshayo ukwehlulela, abavumela isazela sabo semvelo ukuphika ukulunga komsebenzi woMoya oNgcwele, nabaphinde badelele futhi bawuhlambalaze—abantu abangahloniphi kanjalo anganalwazi ngomsebenzi woMoya oNgcwele na? Akubona, ngaphezu kwalokho, labo bokuqhosha, abaziqhenyayo ngokwemvelo, futhi abangaphatheki? Noma ngabe usuku luyafika lapho abantu abanjalo bemukela umsebenzi omusha woMoya oNgcwele, nakalokhu, uNkulunkulu ngeke ababekezelele. Ababukeli phansi labo abasebenzela uNkulunkulu nje kuphela, kodwa bahlambalaza uNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abanobuwula kanje ngeke baxolelwe, noma kulenkathi noma enkathini ezayo futhi bayobhubha ingunaphakade esihogweni! Abantu abanjalo, abangahloniphi, abathanda ukuzitika bayazenzisa ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu, futhi lapho beqhubeka nokwenze njalo, yilapho bengazithola bephula izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha. Akuve bonke labo abaqhoshayo, abangalawuliwe ngokwemvelo, futhi abangakaze bahloniphe muntu, bonke behamba le ndlela? Abaphikisani noNkulunkulu usuku nosuku, Yena ohlala emusha futhi engagugi?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

87. Yazini ukuthi nimelana nomsebenzi kaNkulunkulu, noma nisebenzisa imibono yenu siqu ukukala umsebenzi wanamhlanje, ngoba anizazi imiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngoba aniwuthathi ngokuthi ubalulekile ngokwanele umsebenzi woMoya oNgcwele. Ukumelana kwenu noNkulunkulu kanye nokuvimbela umsebenzi woMoya oNgcwele kudalwa imibono yenu kanye nokukhukhumala okusemvelweni yenu. Akukhona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awulunganga, kodwa yingoba anilaleli kakhulu ngokwemvelo. Emuva kokuthola ukholo lwabo kuNkulunkulu, abanye abantu abakwazi ngisho ukusho ngesiqiniseko ukuthi umuntu waqhamuka kuphi, kepha bayalokotha bathule izinkulumo emphakathini behlola ukulunga nokungalungi komsebenzi woMoya oNgcwele. Futhi baze bafundise abaphostoli abanomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, bephawula futhi bekhuluma kungafanele; ubuntu babo buphansi kakhulu, futhi abanangqondo kwakona. Ngeke lufike na usuku lapho abantu abanjalo beyolahlwa umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bashe emililweni yasesihogweni. Abawazi umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa kunalokho bayawugxeka umsebenzi Wakhe, futhi baphinde bazame ukutshela uNkulunkulu ukuthi asebenze kanjani. Bangamazi kanjani abantu abangenangqondo kanjalo uNkulunkulu? Umuntu ufinyelela ekwazini uNkulunkulu ngesikhathi senqubo yokumfuna nokuzizwela Yena; ufika ekumazini uNkulunkulu ngokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, hhayi ngokumgxeka ngomathanda. Uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu luya ngokucophelela, bayanciphisa ukumelana Naye. Uma siqhathanisa, uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu luphansi, yilapho kulula ukuthi bamelane Naye. Imibono yakho, imvelo yakho endala, nobuntu, isimilo kanye nesimo sakho sokuziphatha, “isamba” omelana ngaso noNkulunkulu, futhi ngangokukhohlakala, ukonakaliswa kanye nokubaphansi oyikho, ingangokunyukela kokuba kwakho isitha sikaNkulunkulu. Labo abanemibono emibi kakhulu futhi abanesimo sokuzithwala banobutha ngisho nakakhulu noNkulunkulu othathe isimo sesintu, futhi abantu abanjalo abaphikikristu. Uma imibono yakho ingaguqulwanga, iyohlala njalo imelene noNkulunkulu; awusoze wazwana noNkulunkulu, futhi uyohlala uhlukene Naye.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

88. Noma obani ongayiqondi inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu yilowo omelana noNkulunkulu, nakakhulu lowo owaziyo ngenhloso yomsebenzi kaNkulunkulu kepha angafuni ukwanelisa uNkulunkulu. Labo abafunda iBhayibheli emasontweni amakhulu, kepha akekho noyedwa oqondayo inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu. Akekho noyedwa okwazi ukwazi uNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, akekho noyedwa ovumelana nenhliziyo kaNkulunkulu. Bonke bangabantu abangenamsebenzi, abanyanyekayo, ngamunye bamile phezulu ukufundisa uNkulunkulu. Nakuba belibiza igama likaNkulunkulu, bamelana Naye ngenhloso. Nakuba bezibiza ngokwabo ukuthi bangamakholwa kaNkulunkulu, bayilabo abadla inyama futhi baphuze igazi lomuntu. Bonke abantu abanjalo bangodeveli abadla umphefumulo womuntu, amadimoni amakhulu aphazamisa ngenhloso labo abavimba ngamabomu endleleni yalabo abazama ukungena endleleni elungile, nezikhubekiso ezikhinyabeza labo abafuna uNkulunkulu. Bangabonakala “bephile kahle,” kodwa abalandeli babo bazokwazi kanjani ukuthi bangabaphikikristu abaholela abantu ekumelaneni noNkulunkulu? Bangazi kanjani ukuthi bangamadimoni aphilayo afuna imiphefumulo azoyidla? Labo abaziphakamisayo phambi kukaNkulunkulu bayilabo abaphansi kakhulu kubantu, kulapho labo abazithobayo uqobo yibo abahloniphekayo. Futhi labo abacabanga ukuthi bayawazi umsebenzi kaNkulunkulu futhi bamemezele umsebenzi kaNkulunkulu kwabanye ngesasasa elikhulu lapho amehlo abo ebheke Kuye—laba abantu abanganaki kunabo bonke. Abantu abanjalo yilabo abangenabo ubufakazi bukaNkulunkulu, futhi yilabo abaqhoshayo futhi abazikhukhumezayo. Labo abakholelwa ukuthi banolwazi oluncane kakhulu ngoNkulunkulu naphezu kwesipiliyoni sabo sangempela kanye nolwazi olubonakalayo ngoNkulunkulu yilabo abathandeka kakhulu Kuye. Abantu abanjengalaba abanobufakazi bangempela futhi bayakwazi ngempela ukuthi bapheleliswe nguNkulunkulu. Labo abangayiqondi intando kaNkulunkulu bayizitha zikaNkulunkulu; labo abayiqondayo intando kaNkulunkulu kepha abangalenzi iqiniso bayizitha zikaNkulunkulu; labo abadla baphuze amazwi kaNkulunkulu kepha benze ngokuphambene nengqikithi yamazwi kaNkulunkulu bayizitha zikaNkulunkulu; labo abanemibono ngoNkulunkulu othathe isimo somuntu futhi abadlubulunda ngenhloso bayizitha zikaNkulunkulu; labo abahlulela uNkulunkulu bayizitha zikaNkulunkulu; futhi nanoma ubani ongakwazi ukwazi uNkulunkulu nokumfakazela uyisitha sikaNkulunkulu. Ngakho yizwa ukunxusa Kwami: Uma ninokholo ngempela lokuhamba le ndlela, qhubekani nokuyilandela. Uma ningakwazi ukuyeka ukumelana noNkulunkulu, ngakho velani nihambe kakhulu nishiye ningaze niphelelwe isikhathi. Kungenjalo, ngempela kubika okubi kunokuhle, ngoba imvelo yenu yonakalisiwe kakhulu. Aninakho nokuncane ukwethembeka noma ukulalela, noma inhliziyo eyomela ukulunga neqiniso. Futhi aninalo ngisho noluncane uthando lukaNkulunkulu. Kungathiwa isimo senu phambi kukaNkulunkulu sisenkingeni yangempela. Anikwazi ukugcina lokho okufanele nikugcine noma nikhulume lokho okufanele nikukhulume. Anikwazi ukwenza lokho okufanele nikwenze, futhi anikwazi ukwenza umsebenzi okufanele niwenze. Aninakho ukuthembeka, unembeza, ukulalela nokuba nesibindi niqine okufanele nibe nakho. Anizange nibekezelele ukuhlupheka obekufanele nikumele, futhi aninakho ukukholwa okufanele ngabe ninakho. Aninalutho nje oluhle kini: Ninakho ukuzihlonipha okunganisiza ukuthi niqhubeke nempilo? Ngiyakugqugquzela ngithi kungcono nivale amehlo ingunaphakade, ngaleyo ndlela niyohawukela uNkulunkulu ekukhathazekeni ngani futhi nasekubhekaneni nobuhlungu ngenxa yenu. Niyakholwa kuNkulunkulu kodwa aniyazi intando Yakhe; niyadla futhi niphuze amazwi kaNkulunkulu kepha anikwazi ukugcina imibandela kaNkulunkulu. Niyakholwa kuNkulunkulu kepha animazi, futhi niyaphila nakuba ningenanhloso eniyilwelayo. Aninazo izinto ezibalulekile kini futhi aninanhloso. Niphila njengomuntu kodwa aninawo unembeza, ukwethembeka nokukholeka ngisho okuncane. Kungashiwo kanjani ukuthi ningabantu? Nikholwa kuNkulunkulu kodwa niyamkhohlisa Yena. Ngaphezu kwalokho, nithatha imali kaNkulunkulu futhi nidle eminikelweni Yakhe, kepha ekugcineni, ningakhombisi ukunaka imizwa kaNkulunkulu noma unembeza mayelana noNkulunkulu. Awukho ngisho omncane umbandela kaNkulunkulu enikwazi ukuwugcina. Ngakho kungashiwo kanjani ukuthi ningabantu? Ukudla enikudlayo nomoya eniwuphefumulayo uvela kuNkulunkulu, ujabulela umusa Wakhe, kepha ekugcineni awunalo noluncane ulwazi ngoNkulunkulu. Esikhundleni salokho, sewuphenduke into engeyalutho emelene noNkulunkulu. Awusona ke isilwane esingengcono kunenja? Zikhona ezinye izilwane ezinonya njengawe?

Kucashunwe embhalweni othi “Bonke Abantu Abangamazi UNkulunkulu Bangabantu Abaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

89. Inkinga enkulu ngomuntu ukuthi uthanda kuphela izinto angakwazi ukuzibona noma ukuzithinta, izinto eziyinkimbinkimbi kakhulu nezimangalisayo ezingacabangeki kumuntu futhi umuntu ofayo angeke azithole. Ukuqhubeka kwazo lezi zinto zingabi ngokoqobo, yilapho nomuntu eqhubeka khona ezihlaziya, aze ngisho azifune ekushaya indiva konke okunye, bese ezama ukuzizuza. Ukuqhubeka kwazo zingabi ngokoqobo, yilapho nomuntu ezihlolisisa khona futhi azihlaziye, aze adlulele kude ekutheni azenzele eyakhe imibono ngazo. Ngokuphambene nalokho, lapho izinto ziba ngokoqobo, yilapho nomuntu engazinaki khona; umane azibukele phansi aze ngisho azenyanye. Ingabe lokhu akuyona indlela okufanele nibheke ngayo umsebenzi ongokoqobo engiwenzayo namuhla? Lapho izinto ezinjalo ziba ngokoqobo, yilapho nawe uqhubeka ungazithandi. Awuziphi ngisho isikhathi sokuzihlola, kodwa umane uzizibe nje; uzibukela phansi lezi ezingokoqobo, izimfuneko ezicacile futhi uze ufukamele imibono eminingi ngalo Nkulunkulu ongokoqobo nakakhulu, futhi abakwazi ukwamukela kalula ukuba ngokoqobo nokujwayeleka Kwakhe. Ngaleyo ndlela, ingabe awukholelwa ezintweni ezingacacile eziningi? Unokholo olungeke lunyakaziswe kuNkulunkulu oyinqaba wakudala, futhi awunalo ilukuluku ngoNkulunkulu wangempela wanamuhla. Lokhu akubangelwa yini ukuthi uNkulunkulu wayizolo nalowo wanamuhla baphile ezinkathini ezimbili ezingafani? Ingabe akukhona yini ukuthi uNkulunkulu wayizolo uphakanyisiwe ezulwini, kuyilapho uNkulunkulu wanamuhla eyindoda encane emhlabeni? Ngaphezu kwalokho, ingabe akukhona yini ngenxa yokuthi uNkulunkulu okhonzwa ngabantu yilowo owenziwe ngezindlela zakhe, kuyilapho uNkulunkulu wanamuhla eyinyama ebunjwe lapha emhlabeni? Lapho konke sekushiwo kwaphinde kwenziwa, ingabe akukhona ngenxa yokuthi uNkulunkulu wanamuhla ungokoqobo nakakhulu kangangokuthi umuntu akakwazi ukumfuna? Ngoba lokho uNkulunkulu wanamuhla akufunayo kubantu kuqondile kangangokuthi izikhathi eziningi umuntu akathandi ukukwenza futhi lokho kumenza abe namahloni. Ingabe lokhu akwenzi izinto zibe nzima kumuntu? Ingabe lokhu akumenzi ukuba abe nezibazi? Ngaleyo ndlela, abaningi abangakufuni okuyiqiniso baba yizitha zikaNkulunkulu osesimweni somuntu, babe abaphikukristu. Ingabe lokhu akulona iqiniso elisobala? Ngesikhathi esidlule, lapho uNkulunkulu esezokuba senyameni, kungenzeka nanisenkolweni noma ningamakholwa azinikele. Ngemva kokuba uNkulunkulu esebe yinyama, abaningi ababezinikele bazithola sebengabaphikukristu benganakile. Ingabe uyazi ukuthi kwenzekani lapha? Ekukholelweni kwakho kuNkulunkulu, awuzinaki izinto ezingokoqobo noma awulifuni iqiniso kunalokho uzixaka ngezinto ezingamanga—ingabe lokhu akuwona yini umthombo ocacile wenzondo onayo ngoNkulunkulu osesimweni somuntu?

Kucashunwe embhalweni othi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

90. Ngaphambi kokuxhumana noKristu, ungacabanga ukuthi isimo sakho sesiguqulwe sonke, ungakholwa ukuthi ungumlandeli othembekile kaKristu, futhi ungakholwa ukuthi ungofanelekile ukwamukela izibusiso zikaKristu. Ngoba sewuhambe imigwaqo eminingi, wenza imisebenzi eminingi, wabuye wathela izithelo, ngakho kufanele ube ngumuntu owamukeliswa umqhele ekugcineni. Kepha kukhona iqiniso elilodwa ongase ungalazi: Isimo senkohlakalo nesokuhlubuka kanye nokuphikisa komuntu kugqama ngenkathi ebona uKristu, kanti ukuhlubuka nokuphikisana okuvela kuleso sikhathi yikho kanye okuphelele kunokunye. Yingenxa yokuba uKristu uyiNdodana yomuntu futhi unobuntu obejwayelekile okwenza umuntu angamtusi futhi angamhloniphi. Yingenxa yokuthi uNkulunkulu uphila enyameni okwenza ukuhlubuka komuntu kuvele ekukhanyeni ngokuphelele nangokugqamile. Ngakho ngithi ukufika kukaKristu kuveze obala konke ukuhlubuka kwesintu kwaveza imvelo yesintu obala. Lokhu kubizwa ngokuthi “ukulutha ingwe uyehlise entabeni” kanye “nokulutha impisi ukuba iphume emgedeni.” Ningasho yini ukuthi nethembekile kuNkulunkulu? Ningasho yini ukuthi nikhombisa ukumlalela okugcwele uNkulunkulu? Ningasho yini ukuthi animvukeli? Abanye bazothi: Sonke isikhathi lapho uNkulunkulu engenzela isimo esingizungezile, ngihlala ngimlalela futhi angikaze ngikhononde. Ngaphezu kwalokho, anginayo imicabango ngoNkulunkulu. Abanye bayothi: Yonke imisebenzi uNkulunkulu anginikeze yona, ngiyenza ngokusemandleni wonke enginawo futhi angenzi ngokunganaki. Manje nginibuza lokhu: Ningahambisana yini noKristu uma nihlala ndawonye Naye? Futhi niyohambisana naye isikhathi esingakanani? Usuku olulodwa? Izinsuku ezimbili? Ihora elilodwa? Amahora amabili? Ukholo lwakho impela luyancomeka, kepha awunakho ukubambelela ngokuqinile. Uma usuhlala noKristu ngokweqiniso, ukuzishaya isifuba ngokulunga kwakho kanye nokuzibona ubalulekile kuyoqala ukuvela kancane ngamazwi kanye nezenzo zakho, kancane kancane, ngakho-ke ukulangazelela kwakho nokwedlulele nokungalaleli, isimo sakho somqondo sokungalaleli kanye nokungagculiseki kuyozivelela ngokwakho. Ekugcineni, ukuzithwala kwakho kuyoya ngokugqama kakhulu, futhi lapho uyoba nokungahambisani noKristu njengamanzi nomlilo, ilapho imvelo yakho iyohlala obala ngokugcwele. Ngaleso sikhathi, imicabango yenu iyobe ingasafihlekile. Ukukhononda kwenu, nakho, kuyohlala obala ngokwako, kanye nobuntu benu obuyihlazo buyovela obala ngokuphelele. Nakuba kunjalo, niyaqhubeka nokuphika ukuhlubuka. Futhi nikholwa ekutheni uKristu onjengalo akulula ukumamukela futhi unesandla esiqinile kumuntu, nokuthi beningakwazi ukuzinikezela ngokuphelele ukuba ubenguKristu owehlukile, onomusa. Nikholwa ukuthi kunesizathu sokuhlubuka, nokuthi nihlubuka ngenkathi uKristu esenicasule kwaze kwafika ezingeni elithize. Anizange nikuqonde ukuthi anibuki uKristu njengoNkulunkulu, noma aninayo inhloso yokumlalela. Kunalokho, ngamakhanda enu alukhuni nigcizelela ukuthi uKristu enze umsebenzi njengokusho kwezingqondo zenu, futhi kunoma yimuphi umsebenzi ongenziwanga kanjalo, ukholwa ukuthi akayena uNkulunkulu kodwa ungumuntu. Ababaningi yini lapha phakathi kwenu abaphikisana Naye ngale ndlela? Ngubani lo enikholwa kuye? Futhi nifuna kanjani?

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

91. Sonke isikhathi nihlale nifuna ukubona uKristu, kepha ngiyaninxusa ukuba ningazikhukhumezi kanjalo; wonke umuntu angambona uKristu, kodwa ngithi akekho okulungele ukubona uKristu. Ngenxa yemvelo yomuntu egcwele ububi, ukuzikhukhumeza, kanye nokuhlubuka, uma ubona uKristu, imvelo yakho iyokona futhi ikugwebele ekufeni. Ubudlelwano bakho nomfowenu (noma udadewenu) bungase bungakhombisi okuningi ngawe, kodwa akulula kanjalo uma uzihlanganisa noKristu. Noma ngasiphi isikhathi, imibono yakho ingazimelela ibe nezimpande, ukuzikhukhumeza kwakho kuhlume, nokuhlubuka kwakho kuthele amakhiwane. Kungenzeka kanjani ukuthi wena onobuntu obunjena ulungele ukuzihlanganisa noKristu? Ingabe uzokwazi ukumthatha ngokweqiniso njengoNkulunkulu sonke isikhathi sosuku? Ingabe uyoba nakho yini ukumlalela uNkulunkulu ngokweqiniso? Nikhonza uNkulunkulu ophakemeyo ezinhliziyweni zenu njengoJehova kodwa nibuke uKristu obonakalayo njengomuntu. Umqondo wenu umncane kakhulu nobuntu benu buphansi kakhulu! Anikwazi ukubuka uKristu njengoNkulunkulu njalo njalo; kunalokho, nivele nimdonse kalula nimkhonze njengoNkulunkulu uma nizizwa nithanda. Yingakho ngithi aniwona amakholwa kaNkulunkulu, kodwa ningabahlanganyeli bobubi nalabo abalwa noKristu. Ngisho labo bantu abakhombisa ukulunga kwabanye bayakhokhelwa, kepha uKristu, owenza umsebenzi onjalo phakathi kwenu, akaze athole uthando noma ukukhokhelwa nokuthotshelwa. Ingabe lokhu akusiyo yini into edabukisa inhliziyo?

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

92. Kungenzeka ukuthi kuyo yonke le minyaka yokukholwa kuNkulunkulu, anikaze nithuke muntu noma nenze izenzo ezimbi, kodwa ekuzihlanganiseni noKristu, anikwazi ukukhuluma iqiniso, nenze ngokweqiniso, noma nilalele izwi likaKristu; ngakho ngithi ningabakhohlisi futhi nabadukisi abakhulu emhlabeni. Uma nilungile futhi nithembekile ikakhulukazi ezihlotsheni zenu, kubangani benu, emakhosikzini (noma kubayeni), emadodaneni kanye namadodakazi, nakubazali, futhi ningasizakali ngabanye, kepha ningakwazi ukuhambisana futhi nibe nokuthula noKristu, ngisho noma nithumela konke okwenu ukuyolekelela omakhelwane benu noma ninakekele oyihlo, onyoko, kanye nemizi yenu, Mina ngisathi nikhohlakele, ningamaqili futhi. Ningacabangi ukuthi nihambisana noKristu ngoba nje nikwazi ukuphila nabanye noma nenza izenzo ezinhle ezimbalwa. Niyakholwa yini ukuthi ukulunga kwenu kungantshontsha isibusiso saseZulwini? Nicabanga ukuthi izenzo zenu ezinhle zithatha indawo yokulalela kwenu? Akukho namunye ongemukela ukubhekana kanye nokuthenwa, futhi nonke nikuthola kulukhuni ukwamukela ubuntu obujwayelekile bukaKristu, kodwa nibe nithi niyamlalela uNkulunkulu. Ukukholwa okufana nokwenu kuyonilethela impindiselo enifanele. Yekani ukuziphatha ngokuzikhohlisa okunamanga okuyize nibe nokufisa ukubona uKristu, ngokuba nibancane kakhulu ngesiqu, ngendlela yokuthi anifanele nokumbona. Uma senisuse ukuhlubuka kwenu ngokuphelele, futhi nikwazi ukuba noxolo noKristu, uNkulunkulu uyobe eseziveza ngokwakhe kini Uma uhamba uyobona uNkulunkulu ngaphandle kokuba usudlule ekuthenweni noma ukwahlulelwa, noma kanjani uyoba yisitha sikaNkulunkulu futhi uyobe usuhlelelwe ukucekelwa phansi. Imvelo yomuntu ngokwayo inobutha noNkulunkulu, ngokuba bonke abantu bonakaliswe nguSathane ngokuphelele. Ayikho into enhle engaphuma kumuntu okhohlakele ozozihlanganisa noNkulunkulu. Zonke izenzo namazwi omuntu nakanjani ayokuveza obala ukukhohlakala kwakhe; futhi uma ezihlanganisa noNkulunkulu, ukuhlubuka kwakhe kuyovela obala kuzo zonke izingxenye. Umuntu ube ngokungazi esephikisana noKristu, amkhohlise uKristu, futhi amphike uKristu; lapho umuntu uyoba sesimweni esiyingozi kakhulu. Uma ngabe kuqhubeka,uyobe eseba ngofanele ukujeziswa.

Abanye bangakholwa ukuthi uma ukuzihlanganisa noNkulunkulu kuyingozi enkulu, ngakho, kuyoba ukuhlakanipha ukuqhelelana noNkulunkulu. Yini-ke, abantu abanjalo abangayithola? Bangathembeka kuNkulunkulu? Impela, ukuzihlanganisa noNkulunkulu kunzima kakhulu, kodwa lokhu kunje ngenxa yomuntu okhohlakele hhayi ngoba uNkulunkulu akakwazi ukuzihlanganisa nomuntu. Kungabangcono kuwe ukuba uzinikele ukwenza umzamo omkhudlwana eqinisweni lokuzazi wena qobo. Kungani ungakaze uwuthole umusa kuNkulunkulu? Kungani isimo sakho sinengeka Kuye? Kungani amazwi akho ezondeka Kuye? Niyazincoma ngokwethembeka okuncane kanti futhi nifuna ukuklonyeliswa ngokuzinikela kwenu okuncane; nibukela phansi abanye uma nikhombisa ukulalela okuncane, futhi niyamdelela uNkulunkulu emva kokwenza imisebenzana ewubala. Nifisa ingcebo, nezipho nokutuswa ngokwamukela uNkulunkulu. Izinhliziyo zenu ziyaqaqamba uma nje nike nanikela ngohlamvu lwemali olulodwa noma ezimbili; uma unikele ngezilishumi, nifisa ukuthola izibusiso kanye nokuba nehluke kwabanye. Ubuntu obunjengalobu benu buyacasula ngempela ukukhuluma ngabo noma ukuzwa ngabo. Yini nje efanele ukunconywa emazwini enu nezenzo zenu? Labo abenza umsebenzi wabo kanye nalabo abangawenzi; labo abaholayo nalabo abalandelayo; labo abemukela uNkulunkulu nabangamemukeli; labo abaphayo nalabo abangaphi; labo abashumayelayo nabemukela izwi, njalo njalo; bonke abantu abanjalo bazincoma bona. Anikutholi lokhu kuhlekisa? Ngineqiniso niyazi ukuthi nikholwa kuNkulunkulu, kodwa anikwazi ukuhambisana noNkulunkulu. Nazi kahle kakhulu ukuthi anifanelekile ngokuphelele, niyaqhubeka nokuzikhukhumeza. Anizizwa ukuthi imiqondo yenu isifike lapho isiphelelwe ngamandla okuzilawula? Kungenzeka kanjani ukuthi nina nemiqondo enjalo nizibone nifanele ukuhlangana noNkulunkulu? Ingabe manje anesabeli izimpilo zenu? Isimo senu sesivele sama ngendlela yokuthi ngeke nihambisane noNkulunkulu. Ingabe ukholo lwenu alunabo ubuthutha obumangalisayo? Ingabe ukholo lwenu alunangqondo? Uzobhekana kanjani nekusasa lakho? Uyoyikhetha kanjani indlela oyohamba ngayo?

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

93. Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo kuthiwa ngabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile lawo mahlelo emhlabeni anamagalelo nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi. Ngaphandle kokwamukela indlela yeqiniso, banokungabaza futhi abakwazi ukuzinikela ngokugcwele. Bakhuluma ngokunikelela uNkulunkulu, kodwa amehlo abo agxile kubefundisi kanye nothisha abaphakeme, bamshaya indiva uKristu. Izinhliziyo zabo zigcwele udumo, ingcebo nokukhazimula. Abakukholwa nhlobo ukuthi umuntukazana angakwazi ukunqoba abantu abaningi, nokuthi ongagqamile kangako angakwazi ukuphelelisa abantu. Abakukholwa nhlobo ukuthi laba bantu abengelutho abaphakathi kothuli nezindunduma zobulongwe bangabantu abakhethwe uNkulunkulu. Bakholwa ukuthi uma abantu abanjalo beyinjongo yokusindisa kukaNkulunkulu, lokho kuyosho ukuthi amazulu nomhlaba kuyophenduka kubheke phansi bese bonke abantu befa insini. Bakholwa ukuthi uma uNkulunkulu ekhethe ukuba kupheleliswe abantu abangelutho kanjalo, lokho kuyosho ukuthi izicukuthwane ziyoba nguNkulunkulu uqobo. Imibono yabo ingcoliswe ukungakholwa; impela, kude nokungakholwa, bayizilwane zasendle eziyiziphukuphuku. Ngoba ukuphela kwezinto abazazisayo isikhundla, ukuhlonishwa kanye namandla; into abayazisa kakhulu amaqembu namahlelo amakhulu. Abanandaba nhlobo nalabo abaholwa uKristu; bangamambuka nje afulathele uKristu, iqiniso kanye nokuphila.

Into oyazisayo akukhona ukuthobeka kukaKristu, kodwa abelusi bamanga abavelele. Awukuthandi ukuthandeka noma ukuhlakanipha kukaKristu, kodwa uthanda izifebe ezigcwele ezweni elikhohlakele. Uyabuhleka ubuhlungu bukaKristu ongenayo indawo yokufihla ikhanda Lakhe, kodwa uyazazisa lezo zidumbu zabantu ezidla iminikelo ziphile emanyaleni. Awuzimisele ngokuhlupheka kanye noKristu, kodwa uya ngenjabulo ezingalweni zalabo abangenanhliziyo abaphika uKristu ngoba bekunika okwenyama kuphela, amagama kuphela, nokulawula kuphela. Ngisho namanje inhliziyo yakho isaphendukela kubo, edumeleni labo, esikhundleni sabo, nasethonyeni labo. Kodwa wena usaqhubeka nesimo somqondo othola ngaso umsebenzi kaKristu ulukhuni ukwamukeleka futhi ungazimiseli ukuwamukela. Kungalesi sizathu ngithi aninalo ukholo lokuvuma uKristu. Isizathu esenza ukuthi nimlandele kuze kube manje ukuthi akukho okunye enaningakwenza. Uchungechunge. lwezithombe eziphakeme enhliziyweni yakho; ngeke ukwazi ukukhohlwa wonke amazwi nezenzo zazo, ngisho namazwi nezandla zabo okunethonya. Enhliziyweni yakho, bayohlale bephakeme futhi bengamaqhawe amakhulu. Kodwa akunjalo ngoKristu wanamuhla. Akabalulekile enhliziyweni yakho futhi akakufanele ukuhlonishwa. Ngoba ujwayeleke kakhulu, unethonya elincane kakhulu, futhi ukude kakhulu nokuphakama.

Noma kuyini-ke, ngithi bonke labo abangalihloniphi iqiniso bonke bangabangakholwa futhi nabakhapheli beqiniso. Abantu abanjalo abasoze bamukelwe uKristu. Ingabe manje usubonile ukuthi kungakanani ukungakholwa kuwe? Kungakanani ukukhaphela uKristu? Ngenxa yalokho ngiyaninxusa: Njengoba ukhethe indlela yeqiniso, kufanele uzinikele ngenhliziyo yakho yonke; ungabi mathinta-nyawo noma ube nenhliziyo engagcwele. Kufanele qonde ukuthi uNkulunkulu akayena owomhlaba noma owomuntu oyedwa, kodwa owabo bonke labo abakholwa Kuye ngeqiniso, bonke abamkhonzayo, nabo bonke abazinikele futhi abathembekile Kuye.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Uyikholwa Leqiniso KuNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

94. Abaningi abalabo abalandela uNkulunkulu bazihlupha ngokuthi bangazithola kanjani izibusiso noma bagweme isinhlekelele. Uma kuphathwa umsebenzi nokuphatha kukaNkulunkulu, bayathula nya bangabe besaba nendaba kwakona. Bakholelwa ukuthi ukwazi imibuzo eyisinengiso njengaleyo ngeke kuzithuthukise izimpilo zabo noma kube usizo oluthile, ngakho nakuba bezizwile izintshumayelo ngokuphatha kukaNkulunkulu, baziphatha ngokunganaki. Futhi abaziboni njengezinto eziyigugu ezidinga ukwamukelwa, kungasaphathwa ukuthi bazemukele njengengxenye yezimpilweni zabo. Abantu abanjalo banenhloso elula nje ekulandeleni uNkulunkulu: ukuzuza isibusiso, futhi leyo nhloso ukuthola izibusiso. Abantu abanjalo abazihluphi ngokunaka noma yini engaphathelene nale nhloso. Kubo, ukukholwa kuNkulunkulu ukuze uthole izibusiso, iwona mgomo ofanele ngokomthetho kunayo yonke kanye nokubaluleka kwangempela kokholo lwabo. Abathintwa yinoma yini engeke ifeze leyo njongo. Isimo sinjalo eningini lalabo abakholwa kuNkulunkulu namhlanje. Inhloso nentshisekelo yabo ibukeka ifanelekile, ngoba ngaleso sikhathi bekholwa uNkulunkulu, bayazikhandla ngoNkulunkulu, bayazinikela uqobo lwabo kuNkulunkulu, futhi bayawenza umsebenzi wabo. Banikela ngobusha babo, bashiye imindeni nemisebenzi, futhi baze bachithe iminyaka bematasatasa kude namakhaya. Ngenxa yomgomo wabo ekugcineni, bashintsha ngisho izinto abazithandayo, bashintshe indlela ababuka ngayo impilo, baze bashintshe ngisho amabombo lapho befuna ukuya khona, kepha abakwazi ukushintsha inhloso yabo yokukholwa kuNkulunkulu. Baya le nale belungisela ukuphathwa kwemiqondo yabo abayiphokophele; akunandaba ukuthi yinde kangakanani indlela, noma ngabe bungakanani ubunzima neziphazamiso endleleni, bayaphokophela bayaqhubeka babe nesibindi bengasabi ukufa. Ngamaphi la mandla abenza baqhubeke nokuzinikela ngale ndlela? Unembeza wabo? Isimilo sabo esihle nesiqotho kakhulu? Ukuzimisela kwabo ukulwa namandla obumnyama kuze kube sekugcineni ngci? Ukukholwa kwabo okubenza bafakazele uNkulunkulu ngaphandle kokufuna umklomelo? Ukuthembeka kwabo okwenza bazimisele ukunikela ngakho konke ukwenza intando kaNkulunkulu? Noma umoya wabo wokuzinikela obenza badele izidingo ezimoshayo zesiqu sabo? Ukuthi abantu abangakaze bazi ngomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha banikele ngokungaka, impela nje kuyisimanga esikhulu! Okomzuzwana nje, ake singakhulumi ngokuthi la bantu banikele kangakanani. Ukuziphatha kwabo, kepha, kufanelekela kakhulu ukucubungula kwethu. Ngaphandle kwezinzuzo ezihlobene nabo kakhulu, kungaba khona esinye isizathu laba bantu abangakaze baqonde uNkulunkulu ukuthi banikele kangaka Kuye? Kulokhu, sithola inkinga ebingabonakalanga ekuqaleni: ubudlelwano bomuntu noNkulunkulu kumane kumayelana nokuzihlenga yena siqu kuphela nje. Kubudlelwano phakathi kowemukela izibusiso nophisana ngezibusiso. Ukukubeka ngokusobala, kunjengobudlelwano phakathi kumqashi nomsebenzi. Umsebenzi usebenzela ukuthola imivuzo ayinikwa ngumqashi. Ebudlelwaneni obunjalo, alukho uthando, kukhona isivumelwano kuphela; akukho ukuthanda nokuthandwa, ukuphana nomusa kuphela. Akukho ukuqonda, kuphela ukuthukuthela okucindezelwe nenkohliso. Akukho ukuzwana, kuphela kunegebe elingenakuvalwa. Uma izinto sezifika lapha, ubani ongasihlehlisa lesi simo esiqhubekayo? Futhi bangaki abantu abakwazi ukuqonda ngempela ukuthi lobu budlelwano busesimweni esibucayi futhi esiqeda ithemba? Ngikholwa ukuthi abantu uma bezicwilisa enjabulweni yokubusiseka, abekho abakwazi ukucabanga ukuthi ubudlelwano obunjalo noNkulunkulu budala amahloni futhi abubukeki kangakanani.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

95. Into edabukisa kakhulu ngenkolelo yesintu kuNkulunkulu ukuthi umuntu uyaziphatha ngokwakhe phakathi komsebenzi kaNkulunkulu futhi akakhathali ngokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuhluleka okukhulu komuntu kulele ekutheni, ngesikhathi efuna ukuthobela uNkulunkulu amkhonze, umuntu uzakhela esakhe isiphetho asithandayo futhi uyabala ukuze abone ukuthi angasithola kanjani isibusiso esikhulu kakhulu kanye nesiphetho esihle kunazo zonke. Ngisho noma abantu bangaqonda ukuthi badabukisa, bazondeka, futhi babanga umunyu kangakanani, bangaki abashiya ngokushesha le miqondo namathemba abo? Futhi ubani okwazi ukuma nse ezindleleni zabo futhi ayeke ukuzicabangela yena kuphela? UNkulunkulu udinga labo abazobambisana naye kakhulu ukuze bafeze ukuphatha Kwakhe. Udinga labo abazonikela umqondo kanye nomzimba wabo emsebenzini wokuphathwa Nguye ukuze bazithobe Kuye; Akadingi abantu abakhipha izandla zabo baMuncenge zonke izinsuku; akusaphathwa ukuthi Akabadingi labo abapha kancane bese belinda ukubuyiselwa ngesenzo sabo esihle. UNkulunkulu uyabazonda labo abanikela ngokuncane bese bephumula bezithela ngabandayo. Uyabazonda labo bantu abanesihluku abawucasukelayo umsebenzi wakhe wokuphatha futhi abafuna ukukhuluma kuphela ngokuya ezulwini nokuzuza izibusiso. Unenzondo enkulu nakakhulu yalaba abasebenzisa ithuba elilethwa umsebenzi awenzayo ekusindiseni isintu. Ingoba laba bantu abakaze bazikhathaze ngolokho uNkulunkulu afisa ukukuthola futhi akufinyelele ngomsebenzi Wakhe wokuphatha. Bazihlupha ngokuthi bangasebenzisa kanjani ithuba elivezwa umsebenzi kaNkulunkulu ukuthola izibusiso. Abakhathazekile ngenhliziyo kaNkulunkulu, bazikhathaze ngokuphelele ngekusasa nesiphetho sabo. Labo abacasulwa umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu abangenandaba nakancane ukuthi uNkulunkulu usisindisa kanjani isintu kanye nentando Yakhe, bonke benza okuthandwa yibo, ngokungahambisani nomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuziphatha kwabo akukhunjulwa noma kunanelwe nguNkulunkulu—kungasaphathwa ukuthi kuthole umusa kuNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

96. Izenzo Zami ziningi kunezihlabathi zolwandle, futhi ukuhlakanipha Kwami kukhulu kunokwawo wonke amadodana kaSolomoni, nokho abantu bacabanga Ngami ngokungeya njengenyanga engatheni kanye nothisha wabantu ongaziwa. Baningi kakhulu abakholwa Kimi kuphela ukuze ngibaphilise. Baningi kakhulu abakholwa Kimi kuphela ukuze ngisebenzise amandla Ami ukuba ngixoshe imimoya engcolile emizimbeni yabo, futhi baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze nje bamukele ukuthula kanye nenjabulo Kimi. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze kuphela bafune Kimi ingcebo eningi kakhudlwana. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bachithe lokhu kuphila ngendlela enokuthula futhi ukuze balondeke futhi baphile kahle ezweni elizayo. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bagweme ukuhlupheka esihogweni futhi bamukele izibusiso ezivela ezulwini. Baningi kakhulu abakholwa Kimi ukuze bathole ukunethezeka kwesikhashana, kodwa abafuni ukuzuza lutho ezweni elizayo. Ngesikhathi ngiletha intukuthelo phezu komuntu futhi nginqamula yonke injabulo kanye nokuthula ake waba nakho kwasekuqaleni, umuntu wabe eseba nokungabaza. Ngesikhathi nginika umuntu ukuhlupheka kwase sihogweni futhi ngimphuca izibusiso zase zulwini, ihlazo lomuntu laphenduka intukuthelo. Ngesikhathi umuntu ecela ukuba ngimphulukise, angimnakanga; umuntu wasuka kimi ukuze kunalokho afune indlela yemithi emibi nokuthakatha. Ngesikhathi ngithatha konke lokhu umuntu ayekade ekufune Kimi, bonke banyamalala bahamba bashona. Ngalokho, Mina ngithi umuntu unokukholwa Kimi ngoba ngenzelana umusa omkhulu, futhi kuningi kakhulu okuyinzuzo.

Kucashunwe embhalweni othi “Yini Oyaziyo Ngokukholwa?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

97. Uthembela ekutheni ukholo lwakho kuNkulunkulu aluzoba nezinselele noma nezinsizi noma ubunzima obungatheni. Uhlezi ulwela lezo zinto ezingenanzuzo futhi ukuphila kwakho awukwenzanga kwaba nenjongo, kunalokho ubeka imicabango yakho ngaphambi kweqiniso. Awulusizo lwalutho! Uphilisa okwengulube—yimuphi umehluko phakathi kwakho nezingulube nezinja? Ingabe bonke labo abangalifuni iqiniso kunalokho bathanda inyama, abazona yini izilwane? Ingabe labo abafile abangenawo umoya abazona yini izidumbu ezihambayo? Mangaki amagama akhulunywe kuwe? Ingabe mncane umsebenzi owenziwe kuwe? Kungakanani engikunike khona? Ngakho kungani ungazange ukuthathe? Yini ongakhala ngayo? Akukhona yini ukuthi awuzuzanga lutho ngenxa yokuthi uyithanda kakhulu inyama yakho? Futhi akukhona yini ukuthi imicabango yakho ibinehaba? Akukhona yini ukuthi uyisiphukuphuku? Uma ungakwazi ukuthola lezi zibusiso, ungamsola yini uNkulunkulu ngokungakusindisi? Lokho okufunayo ukuthola ukuthula ngemva kokukholelwa kuNkulunkulu—ukuze izingane zakho zikhululeke ekuguleni, umyeni wakho athole umsebenzi oholela kahle, indodana yakho ithole umfazi omuhle, indodakazi yakho ithole umyeni okahle, izimbongolo kanye namahhashi kukulimele kahle umhlabathi, unyaka ube nesimo sezulu esihle ukuze izitshalo zakho zingashi. Yilokhu okufunayo. Ufuna kuphela ukuphila ngokunethezeka, ukuba kungenzeki ngozi emndenini wakho, isiphepho singakuthinti, ubuso bakho bungathintwa nayitshe elincane, zingakhukhuleki izitshalo zomndeni wakho, ungathintwa nayinoma iyiphi inhlekelele yemvelo, ukuba uphile ekwamukelweni nguNkulunkulu, uphile ngaphansi kwesivikelo esifudumele. Igwala elinjengawe, elihlezi lifuna okwenyama—unayo inhliziyo, unawo umoya? Ingabe uwusona isilwane? Ngikunika indlela yeqiniso ngaphandle kokuba ngilindele ukuba ungibuyisele okuthile, kodwa wena akukho ukuzikhandla okwenzayo. Awuyena yini omunye wabakholelwa kuNkulunkulu? Ngibeka ukuphila kwangempela komuntu kuwe, nokho wena awenzi lutho. Ingabe ukhona umehluko phakathi kwakho nengulube noma nenja? Izingulube zona azikufuni ukuphila komuntu, azikudingi ukuhlanzwa futhi azikuqondi ukuthi ukuphila kuyini. Njalo ngosuku, uma nje sezidle zasutha, zivele zizilalele. Mina ngikunikeze indlela yeqiniso, nokho wena awukakayitholi: Awazi lutho. Ingabe uzimisele ukuphila lokhu kuphila, ukuphila kwengulube? Sikuphi isidingo sokuphila kwabantu abanjalo? Ukuphila kwakho akuyilutho futhi kuyanyanyeka, uphila emanyaleni futhi ayikho imigomo onayo; ingabe ukuphila kwakho kubi ukwedlula bonke ububi? Ingabe uyanyanya lapho ubheka uNkulunkulu? Uma uqhubeka uzizwa kanjalo, ngeke yini ulahlekelwe yikho konke? Indlela yeqiniso uyinikiwe, kodwa ukuthi uyayithola noma cha kuncike ezintweni ozilwelayo.

Kucashunwe embhalweni othi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

98. Ezintweni abantu abadlule kuzo, bavamise ukucabanga, ngidele umndeni nekusasa lami ngenxa kaNkulunkulu, Yena unginikeni? Kumele ngenezele okunye—zikhona izibusiso engizitholile muva nje? Nginikele ngokuningi ngalesi sikhathi, ngigijimile futhi ngahlupheka kakhulu—ingabe kukhona uNkulunkulu athembise ukungibuyisela khona? Ingabe uzikhumbulile izenzo zami ezinhle? Siyoba yini isiphetho sami? Ngingazithola izibusiso zikaNkulunkulu? … Wonke umuntu uhlale enza lezo zibalo enhliziyweni yakhe, futhi efuna izinto ngoNkulunkulu ngezisusa zakhe, nezifiso kanye nemibono yakhe. Okusho ukuthi, enhliziyweni yakhe, umuntu uhlale evivinya uNkulunkulu, uhlale akha amacebo ngoNkulunkulu, futhi uhlale ephikisana ngesiphetho sakhe noNkulunkulu, ezama ukuthola uvo lukaNkulunkulu, ukubona ukuthi uNkulunkulu angamnika yini akufunayo. Ngesikhathi esifanayo nalandela ngaso uNkulunkulu, umuntu akamphathi uNkulunkulu njengoNkulunkulu. Uhlale ezama ukwenza amacebo noNkulunkulu, efuna izinto ezingapheli Kuye, emcindezela kuzo zonke izinyathelo, ezama ukuthola okuthile ngaphambi kokuthatha elinye igxathu. Ngesikhathi esifanayo nazama ngaso ukwenza amacebo noNkulunkulu, umuntu uyaphikisana Naye, futhi kukhona ngisho nabantu okuthi lapho behlelwa izilingo noma bezithola besezimweni ezithile, bavame ukuba buthaka, bathanda ukukhangeza futhi bahudula izinyawo emsebenzi wabo, bahlale bekhononda ngoNkulunkulu. Kusukela ngesikhathi aqala ngaso ukukholwa kuNkulunkulu, umuntu ubebheka uNkulunkulu njengonenala yezinto, bese yena umuntu azibheke njengombolekisi wemali omkhulu, njengokungathi ukuzama ukuthola izibusiso nezithembiso zikaNkulunkulu yinto eyifa nesibopho sakhe, kuyilapho isibopho sikaNkulunkulu kuwukuvikela umuntu nokuthi amnakekele futhi amondle. Lokho ukuqonda okuyisisekelo “ukukholwa kuNkulunkulu” kwalabo abakholwa kuNkulunkulu, nombono wabo ojulile ngokukholwa kuNkulunkulu. Kusukela esiqwini sokwakheka komuntu kuye ezintweni azifunayo, akunalutho oluhlobana nokwesaba uNkulunkulu. Inhloso yomuntu ekukholweni kuNkulunkulu ayikwazi ukungahlanganisi lutho nokukhonza uNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi, umuntu akakaze acabange noma aqonde ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kudinga ukwesaba uNkulunkulu, nokumkhonza. Mayelana nezimo ezinjalo, ingqikithi yomuntu sisobala. Iyini ingqikithi yakhe? Ukuthi inhliziyo yomuntu iyakhohlisa, ifukamela inzondo, ayibuthandi ubulungiswa nokulunga, nalokho okuhle, futhi inomhobholo. Inhliziyo yomuntu ingasondelana kakhudlwana noNkulunkulu; akazange nhlobo ayinike uNkulunkulu. UNkulunkulu akakaze abone inhliziyo yangempela yomuntu, futhi akakaze akhonzwe umuntu. Kungakhathaleki ukuthi likhulu kangakanani inani uNkulunkulu alikhokhayo, noma ukuthi ungakanani umsebenzi awenzayo, noma ukuthi umnakekela kangakanani umuntu, umuntu akakuboni konke, akaboni mehluko. Umuntu akakaze amnike uNkulunkulu inhliziyo yakhe, ufuna kube nguye olawula inhliziyo yakhe, enze izinqumo zakhe—amazwi asesihlokwaneni abonisa ukuthi umuntu ongafuni ukulandela indlela yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi, noma ukulalela ubukhosi namalungiselelo kaNkulunkulu, futhi akafuni ukukhonza uNkulunkulu njengoNkulunkulu. Lezo izimo zabantu namuhla.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

99. Noma nini lapho kukhulunywa khona ngesiphetho, lokho nikubheka njengento ebaluleke kakhulu; nonke nisheshe nizwele uma kukhulunywa ngale ndaba. Abanye basheshe bathatheke kuNkulunkulu ngenxa yokuthi bafuna ukuba nesiphetho esihle. Ngingabona ngomfutho eninawo, ongadingi ukuba uchazwe ngamazwi. Nakanjani anifuni inyama yenu iwele enhlekeleleni, futhi ikakhulu, anifuni ukwehlela esijezisweni saphakade esikhathini esizayo. Ninethemba kuphela lokuphila ngokukhululekile futhi kalula. Ngakho niyacasuka ngempela noma nini lapho kukhulunywa ngesiphetho, nesaba ngokujulile ukuthi uma ningalaleli ngokwanele, ningase nimcasule uNkulunkulu, nigcine nijeziswa futhi kube kufanele. Anikaze ninqikaze ukudela izinto ngenxa yesiphetho senu, futhi iningi lenu elake lakhohlakala futhi langanaka selishintshe isigubhukane laba nomusa nobuqotho; ubuqotho benu buze bethuse. Ngale kwalokho, nonke ninezinhliziyo “ezithembekile”, futhi kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni niye nathulula isifuba senu Kimi ngaphandle kokufihla noma yiziphi izimfihlo zenu, ukusola, ukukhohlisa, noma ukuzinikela. Kukho konke, “nizivume” ngokwethembeka okukhulu Kimi lezo zinto ezibalulekile ezifihleke emizweni yenu. Ngempela, angikaze ngizigweme lezo zinto, ngoba seziyinto ejwayelekile Kimi. Ungamane ungene olwandle lomlilo esiphethweni sakho sokugcina kunokulahlekelwa umucu wonwele ukuze wamukelwe uNkulunkulu. Akukhona ukuthi ngiba undlovu kayiphikiswa; ukuthi inhliziyo enizinikela ngayo ngeke imelane nakho konke njengoba ngenza. Ningase ningakuqondi engikushoyo, ngakho ake nginithi fahla ngencazelo elula: Enikudingayo akulona iqiniso nokuphila; akuyona imiyalo yokuthi kufanele niziphathe kanjani, futhi akuwona umsebenzi Wami onzima. Enikudingayo yikho konke lokhu eninakho enyameni—umcebo, igama, umndeni, umshado, njalo njalo. Aniwanaki ngokugcwele amazwi nomsebenzi Wami, ngakho ngingalufingqa ngamagama amathathu ukholo lwenu: lungenhliziyo ehlukene phakathi. Ningaya noma kuphi ukuze nifinyelele izinto enizinikele kuzo ngempela, kodwa ngiphawule ukuthi anilahli yonke into ngenxa yezinto ezimayelana nokukholelwa kwenu kuNkulunkulu. Kunalokho, ngokwezinga elithile niqotho, futhi niyanakisisa. Yingakho ngithi labo abantula inhliziyo yobuqotho bangempela bayizehluleki ekukholelweni kwabo kuNkulunkulu. Cabangisisa—ingabe ziningi izehluleki ezikuzungezile?

Kufanele nazi ukuthi impumelelo ekukholweni kuNkulunkulu ifinyelelwa ngezenzo zabantu; lapho abantu bengaphumeleli kodwa bahluleke, nalokho kungenxa yezenzo zabo, akubangelwa ezinye izinto. Ngikholelwa ukuthi nizokwenza noma yini efunekayo ukuze nenze into enzima kakhulu nehluphekisa kakhulu ukwedlula ukukholelwa kuNkulunkulu, nokuthi niyokunakisisa kakhulu. Ngeke nifune ngisho ukwenza noma yimaphi amaphutha; lezi izinhlobo zemizamo yenu engapheli nonke eniyenze ezimpilweni zenu. Nikwazi ngisho nokungikhohlisa enyameni ngaphansi kwezimo lapho ningeke nikhohlise ngisho noma ubani emindenini yenu. Lena indlela enihlale niziphatha ngayo nomyalo eniwusebenzisayo ekuphileni kwenu. Seniyekile yini ukufuna isithombe samanga ukuze ningikhohlise, ngenxa yesiphetho senu, nokuba nesiphetho esihle nesijabulisayo? Ngiyazi ukuthi ukuzinikela nobuqotho benu okwesikhashana; izifiso nenani enilikhokhayo akukhona yini okwamanje kuphela hhayi ngaleso sikhathi? Nifuna kuphela ukuzikhandlela umzamo wokugcina ukuze nibe nesiphetho esihle. Enikufunayo nje ukwenza isivumelwano sokuhwebelana; akukhona ukuthi nithanda iqiniso, futhi akukhona ukuthi nifuna ukungibuyisela imali engayikhokha. Ngamafuphi, nimane nifuna ukuveza ukuthi nihlakaniphe kangakanani, kodwa anifuni ukukulwela lokho. Akusona yini isifiso senu esijulile lesi? Akumele nizifihle, futhi akumele nicabange kakhulu ngekusasa lenu ngezinga lokuthi ningabe nisakwazi ngisho ukudla noma ukulala. Akulona yini iqiniso ukuthi isiphetho senu siyobe sesinqunyiwe ekugcineni?

Kucashunwe embhalweni othi “Isiphetho Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

100. Ningilandelile Mina yonke le minyaka, kepha anikaze ninginikeze nokuncanyana ukuthembeka kwenu. Kunalokho, nigxile kubantu enibathandayo kanye nezinto ezinithokozisayo, kangangokuthi zisondezwe eduzane nezinhliziyo zenu futhi azisoze zalahlwa, noma ngasiphi isikhathi, noma kuphi. Uma nimagange noma ninentshisekelo noma ngayiphi into eyodwa eniyithandayo, kuhlala njalo kube ngalesi sikhathi enilandela Mina ngaso, noma ngesikhathi nilalele amazwi Ami. Ngakho Mina ngithi, nisebenzisa ukuthembeka engikucela kini, ukuze kunalokho nethembeke futhi nazise “izinto enizithandayo.” Noma ninganikela ngento noma ezimbili Kimi, akumeli uqobo lwenu lonke, futhi akubonisi ukuthi Yimi enithembeke kuye ngokweqiniso. Nizibandakanya nezinto enizithandayo: Abanye bathembeke kumadodana namadodakazi, abanye kubayeni, amakhosikazi, ingcebo, umsebenzi, abaphathi, isikhundla, noma abesifazane. Kulokho enithembeke kukho, anikaze nizizwe nikhathele noma nicasukile; kunalokho, niyakhula ekulangazeleleni ukuba nibe nokuningi kanye nezinto ezisezingeni elihle kulokhu enithembeke kukho, futhi anikaze niphelelwe yithemba. Mina kanye namazwi Ami sihlala siphushelwa ekugcineni ngokwezinto enizishisekelayo. Futhi awunako okunye ongakwenza ngaphandle kokuba ukubeke ekugcineni; abanye indawo esekugcineni bayishiyela ukwethembeka ezintweni abasazozithola abangazazi. Alikho inani abake bangibekela lona Mina ezinhliziyweni zabo. Mhlawumbe ucabanga ukuthi Mina ngicela okuningi kakhulu kuwe noma ngikubeka icala ngokungafanele, kodwa wake wakucabanga lokhu ukuthi ngesikhathi uchitha isikhathi nomndeni wakho ngentokozo, awukaze uthembeke Kimi? Ngezikhathi ezifana nalezi, akukuzwisi yini ubuhlungu? Ngesikhathi izinhliziyo zenu zigcwele injabulo nithola umholo ngemisebenzi yenu, anizizwa nidumele ngokuthi anizinikezanga iqiniso elanele? Yinini lapho wake wakhaliswa khona ukuthi awuyitholanga imvume Yami? Nihlupha izingqondo zenu ngamadodana kanye namadodakazi enu, kepha anikaneliseki, nikholwa ukuthi anizange nibakhuthalele, ukuthi aninikelanga ngemizamo yenu yonke. Kodwa Kimi, benilokhu nidebesela futhi nibudedengu, Mina ningigcina kuphela ezinkumbulweni kodwa hhayi njalo njalo ezinhliziyweni zenu. Ukuzinikela Kwami kanye nemizamo Yami ihlala njalo ingazwakali kini, futhi anikaze nizame ukuqonda. Nimane niba nokucabangisisa kwesikhashana bese niyakholwa ukuthi kuzo kwanela. Le ndlela “yokwethembeka” akusiyona lena ebengiyilangazelela, kodwa yileyo okukade yaba isinengiso Kimi.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Wethembeke Kubani?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

101. Uma bengingabeka imali ethile phambi kwenu njengamanje bese ngithi khethani ngokukhululeka—futhi uma nginganilahli ngokukhetha kwenu—iningi lenu lingakhetha imali bese lilahla iqiniso. Abangcono kini bangayeka ingcebo bese bekhetha iqiniso ngokungabaza, ngaleso sikhathi labo abaphakathi nendawo bayothatha ingcebo ngesinye isandla neqiniso ngakwesinye. Ngale ndlela, ngeke yini ubuwena bangempela bube sobala? Uma nikhetha phakathi kweqiniso kanye nanoma yini enithembeke kuyo, nonke niyokwenza isinqumo esinjalo, futhi nesimo sengqondo yenu singaguquki. Ingabe akunjalo? Ingabe ababaningi yini phakathi kwenu abaguquguquka phakathi kokulungile nokungalungile? Emncintiswaneni phakathi kokuhle nokubi, okumnyama nokumhlophe, ngokuqinisekile niyazazi izinqumo enazenza phakathi komndeni noNkulunkulu, izingane noNkulunkulu, ukuthula nokuthikamezeka, ingcebo nobumpofu, ubukhulu nokuba umuntukazana, ukwesekwa nokudelwa, kanye nokunye. Phakathi komndeni onokuthula kanye nonomsindo, nakhetha okokuqala, futhi ngaphandle kokungabaza; phakathi kwengcebo kanye nomsebenzi, naphinde futhi nakhetha okokuqala, naze nalahlekelwa nayintando yokubuyela ogwini;[a] phakathi komnotho nobumpofu, nakhetha okokuqala; phakathi kwamadodana, amadodakazi, amakhosikazi, abayeni, kanye Nami, nakhetha okokuqala; futhi phakathi kombono neqiniso, naphinda futhi nakhetha okokuqala. Ngibhekene nalo lonke uhlobo lwezenzo zenu ezimbi, ngokusobala sengilahlekelwe ukwethembela Kwami kini. Mina ngishaqeke kakhulu ukuthi izinhliziyo zenu zinqaba kakhulu ukuthi zithanjiswe. Iminyaka eminingi yokuzinikela kanye nokuzama kungilethele ngokusobala ukudela kanye nokuphelelwa yithemba kwenu Kimi. Kepha amathemba Ami ngani ayakhula ngosuku ngalunye oludlulayo, ngokuba usuku Lwami selubekiwe ngokupheleleyo phambi kwawo wonke umuntu. Nokho-ke, niyaqhubeka nokufuna lokho okungokwasebumnyameni kanye nasebubini, futhi niyenqaba ukuxegisa lokhu enibambelele kukho. Ngokunjalo, uyoba yini umphumela wakho? Ingabe uke wakucabangisisa lokhu ngaphambili? Uma ubungacelwa ukuba ukhethe futhi, ingabe ungama kuphi? Kungaba ilokhu kwakuqala namanje? Lokhu eninganginika khona Mina kungaba ukuphoxeka kanye nosizi lokudabuka? Ingabe izinhliziyo zenu ziyoqhubeka ukuba zibe yimfudumalo encinyane? Ingabe usazoqhubeka nokungazi ukuthi kumele wenzeni ukuze ududuze inhliziyo Yami?

Kucashunwe embhalweni othi “Ingabe Wethembeke Kubani?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

102. Usuku ngalunye, izenzo nemicabango yomuntu ngamunye ibhekwa Nguye futhi, ngesikhathi esifanayo, ingukulungisela ikusasa labo. Lena indlela okumele ihanjwe yibo bonke abaphilayo futhi engiyinqumele ngaphambili bonke. Akekho namunye ongakubalekela lokhu futhi imibandela ayenzelwa muntu. Ngikhulume amazwi angenakubalwa, futhi nangaphezu kwalokho ngenze umsebenzi omningi kakhulu. Nsuku zonke, ngibheka umuntu enza ngokwemvelo lokho okumele akwenze ngokwesimo sendalo yakhe nokuthi iqhubeka kanjani. Ngokungazi, iningi selivele layithola “le ndlela elungile,” Mina engiyibekele ukwambulela wonke umuntu. Kakade Mina sengibeke lonke uhlobo lomuntu ezimweni zemvelo ezahlukene, futhi wonke umuntu endaweni yakhe usevele wakhombisa lokho akuthole ngokwemvelo. Akekho ozobabophezela, akekho ozobakhohlisa. Bakhululeke ngokugcwele futhi lokho abakuvezayo kuzivelela ngokwemvelo. Kukhona into eyodwa abahlale beyiqaphile, futhi lokho ngamazwi Ami. Ngalokho-ke, abantu abanye bafunda amazwi Ami ngokuzihudula, bengawenzi nhlobo, bewenza kuphela ukuze bagweme ukufa; abanye, khona lapho, bakuthola kunzima ukukhuthazela izinsuku ngaphandle kwamazwi Ami ukuba abaqondise futhi abahlinzeke, ngakho ngokwemvelo babambelela emazwini Ami ngaso sonke isikhathi. Ngokuhamba kwesikhathi, babe sebethola imfihlo yempilo yomuntu, isiphetho sesintu, kanye nokubaluleka kokuba ngumuntu. Isintu asilutho ngaphezu kwalokhu lapho kukhona izwi Lami, futhi Mina ngimane ngivumele ukuba zilime ziyetsheni. Angenzi lutho oluphoqelela abantu ukuba baphile ngamazwi Ami njengesisekelo sokuba khona kwabo. Futhi labo abangenawo unembeza noma ukubaluleka kokuba khona kwabo baqaphela ngokungazelele indlela izinto ezihamba ngayo bese ngeqholo beshaya indiva amazwi Ami futhi bese bezenzela njengokuthanda kwabo. Baqala ukukhathaliswa yiqiniso nakho konke okuphuma Kimi. Ngaphezu kwalokho, bayakhathaliswa ukuhlala endlini Yami. Laba bantu bahlezi endlini Yami okwesikhashana ngenxa yesiphetho sabo nokubaleka isijeziso, ngisho noma ngabe bewenza umsebenzi. Kodwa izinhloso zabo aziguquki, hhayi ngisho nezenzo zabo. Lokhu kukhuthaza ngokwengeziwe isifiso sabo ngezibusiso, nemvume yokudlula komuntu oyedwa angene embusweni lapho beyohlala khona ingunaphakade, kanye nemvume yokudlula ungene ezulwini laphakade. Lapho belangazelela ngokwengeziwe usuku Lwami ukuba lufike ngokushesha ngelinye ilanga, yilapho beya ngokuzwa sengathi iqiniso seliyisiphazamiso, isikhubekiso esibavimba endleleni. Abasakwazi nokulinda ukubeka unyawo lwabo embusweni ukuze bajabulele izibusiso zaphakade zombuso wasezulwini, ngaphandle kokudinga ukuthi baphishekele iqiniso noma bemukele isahlulelo kanye nokusolwa, futhi nangaphezu kwakho konke, ngaphandle kokuba kudingeke ukuba bahlale endlini Yami njengezikhonzi futhi benze njengalokhu ngibayala. Laba bantu bangena endlini Yami hhayi ngoba bezogcwalisa inhliziyo yabo efuna iqiniso noma bezosebenzisana nokuphatha Kwami. Bamane bahlose ukuba bangabi yingxenye yalabo abayobhujiswa enkathini ezayo. Ngakho izinhliziyo zabo azikaze zazi ukuthi liyini iqiniso nokuthi lamukelwa kanjani iqiniso. Lesi yisizathu abantu abanje bengakaze balenze iqiniso noma baqonde izinga elijulile lenkohlakalo yabo, kepha behleli endlini yami “njengezikhonzi” kuze kube sekugcineni. Bayalinda “ngokubekezela” ukufika kosuku Lwami, futhi abakhathali njengoba beshona le nale ngenxa yohlobo lomsebenzi Wami. Noma ngabe mkhulu kangakanani umzamo wabo noma ngabe bakhokhe inani elingakanani, akekho oyobona ukuthi bahluphekele iqiniso noma bazidela Ngami. Ezinhliziyweni zabo, abakwazi ukulinda ukubona usuku lapho ngiyoqeda inkathi endala, futhi nangaphezu kwalokho, ngokukhathazeka bafisa ukwazi ukuthi angakanani amandla kanye negunya Lami. Lokho abangakaze baphuthume ukukwenza, ukuziguqula nokulandela iqiniso. Bathanda lokho osekungikhathazile kanti bakhathele yilokho engikuthandayo. Balangazelela lokhu engikuzondayo, ngesikhathi esifanayo besaba ukulahlekelwa yilokho engikuzondayo. Bahlala kulo mhlaba omubi kodwa abakaze babe nenzondo yawo futhi bayesaba kakhulu ukuthi uzobhujiswa Yimi. Izinhloso zabo ziyangqubuzana: Bajatshuliswa yilelizwe engilizondayo, kodwa ngesikhathi esifanayo bebe belangazelela ukuba Mina ngisheshe ngilibhubhise lelizwe. Ngaleyo ndlela, bayosinda ekuhluphekeni kokubhujiswa bese beguqulwa babe amakhosi enkathi ezayo ngaphambi kokuthi baphambuke endleleni yeqiniso. Lokhu kungenxa yokuthi abalithandi iqiniso futhi bakhathele yikho konke okuvela Kimi. Mhlawumbe bayoba “ngabanye abalalelayo” okwesikhashana ngenhloso yokungalahlekelwa izibusiso, kodwa lomqondo wabo wokunxanela-isibusiso kanye nokwesaba ukubhubha nokungena echibini elivutha lomlilo akusoze kwafiphala. Njengalokhu usuku Lwami lusondela, isifiso sabo kancane kancane siya ngokuqina. Ubukhulu benhlekelele, benza ukuba bazizwe bengenasizo ngokwengeziwe, bengazi nokuthi kumele baqale kuphi ukungenza Mina ngijabule futhi bagweme ukulahlekelwa izibusiso abebekade bezilangazelela. Lapho isandla Sami siqala ukwenza umsebenzi waso, laba bantu balangazelela ukuthatha isinyathelo njengamaphikankani ahamba phambili empini. Bacabanga kuphela ukuya phambili emgqeni wokuqala webutho empini ngoba bethuthumela ukuthi kungenzeka ngingababoni. Benza futhi basho lokho abacabanga ukuthi kulungile, bengazi nhlobo ukuthi ukwenza nezenzo zabo akukaze kuhambisane neqiniso, futhi bekumane kuphazamisa futhi kugxambukela ezinhlelweni Zami. Nakuba bebefake umfutho omkhulu futhi beneqiniso ezifisweni zabo nezinhloso zokubekezela ebunzimeni, konke lokho abakwenzayo akuhlanganise lutho Nami, ngoba Mina angikaze ngibone ukuthi izenzo zabo zisuka ezinhlosweni ezinhle, futhi kukancane kakhulu ngibona bebeka utho e-altare Lami. Zinjalo izenzo zabo phambi Kwami kuleminyaka eminingi.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Ubhekisise Izenzo Zakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

103. Abantu abaningi babambelela ekufundeni emazwini kaNkulunkulu usuku nosuku, baze bafike ezingeni lokuzibophezela ngokucophelela ukukhumbula zonke izigatshana ezikhona lapho ngokugcwele njengezinto zabo okungezabo ezibizayo, nokuthi ngaphezu kwalokho bashumayele ngamazwi kaNkulunkulu yonke indawo, banikeze futhi basize nabanye ngamazwi Akhe. Bacabanga ukuthi ukwenza lokhu kungukuveza ubufakazi kuNkulunkulu, ukuveza ukufakazela amazwi kaNkulunkulu, ukuthi ukwenza lokhu kungukulandela indlela kaNkulunkulu; bacabanga ukuthi ukwenza lokho kungukuphila ngamazwi kaNkulunkulu, ukuthi ukwenza lokho kungukuletha amazwi Akhe ekuphileni kwabo kwangempela, ukuthi ukwenza lokhu kuyobenza bakwazi ukuthola ukunconywa nguNkulunkulu, nokuthi basindiswe futhi bapheleliswe. Kodwa, ngisho sebeshumayela amazwi kaNkulunkulu, abahambisani namazwi kaNkulunkulu ngokwenza, noma bazame ukuzifaka bona emgqeni walokho okwambulwe kubo ngamazwi kaNkulunkulu. Kunalokho, basebenzisa amazwi kaNkulunkulu ukuzizuzela ukuthandwa nokwethenjwa ngabanye ngokubakhohlisa, ngokungena ekuphatheni ngokwabo, nokuthi basebenzise budlabha nokuntshontsha udumo lukaNkulunkulu. Bethemba, ngokungena mpumelelo, ukusebenzisa ithuba abalinikezwa ngokusabalalisa amazwi kaNkulunkulu ukuba baklonyeliswe ngomsebenzi kaNkulunkulu nokunconywa Nguye. Mingaki iminyaka eseyedlule, kodwa laba bantu abagcinanga nje ngokungakwazi ukuthola ukunconywa nguNkulunkulu ngokushumayela amazwi kaNkulunkulu, nokuthi hhayi kuphela ukuthi abakwazanga ukuveza indlela okumele bayilandele endleleni yokuveza ukufakazela amazwi kaNkulunkulu, futhi akukhona nje ukuthi abazange bazisize noma bazihlinzeke bona kuleyo ndlela yokuhlinzeka nokusiza abanye ngamazwi kaNkulunkulu, nokuthi akukhona nje kuphela ukuthi abazange bakwazi ukumazi uNkulunkulu, noma bavuse kubo uqobo inhlonipho enkulu kaNkulunkulu, kuleyo ndlela yokwenza zonke lezi zinto; kodwa, ngokuphambene, ukungaqondisisi kahle ngoNkulunkulu kwaya kukhula ngokujula, ukungamethembi uNkulunkulu kwaya kuba mawala, kanye nemicabango yabo ngoNkulunkulu yaya ikhula ngokuba engakholakali. Behlinzekiwe futhi beholwa yimicabango yabo ngamazwi kaNkulunkulu, bavela sengathi baphelele esimweni sabo, kube sengathi baveza amakhono abo kalula ngaphandle kokuzikhandla nhlobo, kube sengathi sebethole inhloso yempilo yabo, kube sengathi sebezuze ukuphila okusha nokuthi sebesindisiwe, kube sengathi, ngamazwi kaNkulunkulu bebeka ngolimi oluginqika kahle uma bekhuluma, sebefinyelele ekuzuzeni iqiniso, babambelele ezinhlosweni zikaNkulunkulu, nokuthi sebevumbulule indlela yokumazi uNkulunkulu, kube sengathi, ngendlela yokushumayela amazwi kaNkulunkulu, sebake babhekana noNkulunkulu ubuso nobuso. Futhi, bahlale “benyakaziswa” ngemvula yezinyembezi, nokuthi, bahlale beholwa “uNkulunkulu” ngamazwi kaNkulunkulu, bavela njalo ngokungenamkhawulo bebambelele ngokujulile emseni Wakhe nenhloso elungile, futhi ngesikhathi esifanayo sebezuze ukubambelela ensindisweni kaNkulunkulu yomuntu kanye nokuphathwa Nguye, sebefike ekuyazini ingqikithi Yakhe, nokuthi sebeyakuqondisisa ukulunga kwesimo Sakhe. Besusela kulesi sisekelo, babonakala sengathi sebekholelwa ngokuqine kakhulu ebukhoneni bukaNkulunkulu, sebenolwazi olukhulu ngesimo Sakhe esihloniphekile, nokuthi nangaphezu kwalokho bazizwe bejulile ebukhulwini Bakhe nasebungcweleni. Becwilile kulolu lwazi lokuzikhohlisa ngokwazi amazwi kaNkulunkulu, kungabukeka sengathi ukholo lwabo selukhulile, izinqumo zabo zokubekezelela ukuhlupheka seziqinisiwe, nokuthi ulwazi lwabo ngoNkulunkulu selujulile. Abazi ngempela ukuthi, kuze kube bawazwile amazwi kaNkulunkulu ngokuyikho, lonke ulwazi lwabo kanye nemibono yabo Ngaye iphuma ekuzicabangeleni ngokwabo nasekuqageleni. Ukholo lwabo angeke lwabambelela kunoma yikuphi ukuhlolwa nguNkulunkulu, lokhu abakubiza ngokuthi ubungcwele babo nokuma angeke kwabambelela ngaphansi kokuvivinywa noma ukuhlolwa nguNkulunkulu, isinqumo sabo singukwakha ibhilidi elihle phezu kwesihlabathi, nalokhu abakubiza ngolwazi lukaNkulunkulu nakho akwehlukile nokuzakhela kwemicabango yabo. Eqinisweni, laba bantu, uma singasho kanjalo, abafaka umfutho emazwini kaNkulunkulu, abakaze nakanye bazi ukuthi luyini ukholo oluyilo, kuyini ukulalela kwangempela, kuyini ukunakekela kwangempela, noma kuyini ukwazi uNkulunkulu ngeqiniso. Bathatha abakucabangayo, imicabango, ulwazi, isiphiwo, izinqubo, izinkolelo-ze, kanye ngisho nokubaluleka kokulungileyo kwesintu, bese bekwenza “imali” kanye “nezikhali” zokukholwa kuNkulunkulu nokumlandela, baze bakwenze izisekelo zokukholwa kwabo kuNkulunkulu nokumlandela kwabo. Ngesikhathi esifanayo, babuye bathathe le mali nezikhali bakwenze umfanekiso womlingo ekwazini uNkulunkulu, ukwenzela ukuhlangana nokuncintisana nokuhlolisisa kukaNkulunkulu, ukuvivinya, ukusola, nokwahlulela. Ekugcineni, lokho abakuhlanganisile kuselokhu kuyizinto ezingasho lutho ngaphandle kwezinqumo ngoNkulunkulu ezicwile ezincazelweni zezinkolelo, ezinkolelweni eziyize zakudala, kanye nakho konke lokho okungokokuthandana, okubukeka kabi kuhlekisa, futhi nokungaqondakali, kanye nendlela yabo yokwazi nokuchaza uNkulunkulu ifana naleyo yabantu abakholelwa kuphela Ezulwini Eliphezulu, noma Endodeni Endala Esesibhakabhakeni, kuyilapho ukuba ngokoqobo kukaNkulunkulu, ingqikithi Yakhe, isimo Sakhe, izinto Zakhe nobuYena, kanye nokunye, nakho konke okuphathelene nokuba ngokoqobo kukaNkulunkulu ngoKwakhe, kuyizinto ulwazi lwabo oluhlulekile ukuziqonda, azinamsebenzi walutho ngokuphelele futhi zikude le nokuqonda kwabo. Ngale ndlela, nakuba bephila ngaphansi kokunikezwa nokondliwa ngamazwi kaNkulunkulu, kusazifanela nje abakwazi ukuhamba endleleni yokumesaba uNkulunkulu nokudeda kokubi. Isizathu sangempela ukuthi abakaze bafinyelele ekumazini uNkulunkulu, futhi bengakaze babe nokuxhumana okuqotho noma ukuhlanganyela Naye ngeqiniso, ngakho kunzima kakhulu kubona ukufinyelela ekubeni nokuqonda okunokuzwana noNkulunkulu, noma bavuse kubo ukholo, ukulandela, noma ukudumisa uNkulunkulu. Ukuthatha kwabo amazwi kaNkulunkulu ngale ndlela, ukuthatha uNkulunkulu ngale ndlela—lokhu kubuka kanye nesimo sengqondo kubenze baphoqeleka ukuba babuye belambatha emizamweni yabo, ibenze bangaphinde balazi ingunaphakade ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu nokudeda kokubi. Injongo yalokho abakuhlosile, nendlela abahamba ngayo, ibonisa ukuthi bayizitha zikaNkulunkulu kuze kube phakade futhi abasoze bakwazi ukuthola insindiso.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwazi UNkulunkulu Kuyindlela Eya Ekumesabeni UNkulunkulu Nokudeda Kokubi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

104. Eminyakeni eminingi yomsebenzi Wami, umuntu wamukele okuningi futhi wanikela ngokuningi, kodwa ngisathi umuntu akakholelwa yini ngeqiniso Kimi. Lokhu kungoba umuntu umane avume ukuthi nginguNkulunkulu ngezindebe zakhe abe angavumelani neqiniso engilikhulumayo futhi, ingasaphathwa eyokwenza iqiniso engidingayo kuye. Lokho kusho ukuthi, umuntu uvuma kuphela ukuba khona kukaNkulunkulu, kodwa hhayi iqiniso; umuntu uvuma kuphela igama likaNkulunkulu, hhayi isiqu Sakhe. Ngenxa yentshiseko yakhe, umuntu uye wangathandeka Kimi. Ngoba umuntu usebenzisa amagama amnandi endlebeni ukuze angikhohlise, futhi akekho ongikhonza ngenhliziyo eneqiniso. Inkulumo yenu inesilingo senyoka; ngaphezu kwalokho, kuwukuzidla ngokwedlulele, isimemezelo sangempela sengelosi enkulu. Okukhulu, ukuthi izenzo zenu zisezingeni lehlazo elimanikiniki neliklebhukile; nezifiso zenu ezingenasizotha kanye nezinjongo ezinobugovu kunzima ukukulalela. Nonke seniphenduke izimvemvane endlini Yami, izinto zokulahlwa engizenyanyayo. Ngoba akekho kini onothando lweqiniso, kodwa kunalokho kukhona kuphela abantu abafuna izibusiso, abafuna ukwenyukela ezulwini futhi babone umbono omuhle kaKristu esebenzisa amandla akhe emhlabeni. Kodwa ingabe nake nacabanga ukuthi abantu abanjengani, abakhohlakele, futhi abangakwazi konke uNkulunkulu ayikho, kungenzeka kanjani ukuthi bafaneleke ukulandela uNkulunkulu? Ningenyukela kanjani ezulwini? Ningafaneleka kanjani ukubona ubuhle benkazimulo, obungakaze bubonwe? Imilomo yenu igcwele amazwi enkohliso nenzondo, ukukhaphela nenkani. Anikaze nikhulume amazwi obuqotho Kimi, noma amazwi angcwele, noma amazwi okulalela izwi Lami lapho nizwa izwi Lami. Ekugcineni, lunjani ukholo lwenu? Izinhliziyo zenu zigcwele izifiso nengcebo, nezingqondo zenu zinezinto zenyama. Nsuku zonke, nibala indlela eningathola ngayo okuthile kimi, nokuthi ungakanani umcebo nezinto zenyama enikuthole Kimi. Nsuku zonke, nilinda nokuthi izibusiso ezengeziwe zehlele kini ukuze nijabulele ngisho izinto eziningi ngisho nezinto, ezingcono, lezo ezijabulisayo. Akumina enimcabangayo ngaso sonke isikhathi, akulona iqiniso elivela Kimi, kodwa kunalokho nicabanga abayeni benu (omkenu), amadodana, amadodakazi, noma ukuthi nizodlani nigqokeni, nokuthi ningayandisa kanjani injabulo yenu futhi niyenze ibe ngcono. Ngisho nalapho ningagcwalisa izisu zenu, anibalulekile yini kakhudlwana kunezidumbu? Ngisho nalapho, emehlweni abantu, nihloba ngezingubo ezinhle kanjalo, anizona yini izidumbu ezihambayo ezingenampilo? Nisebenza kanzima ngenxa yezisu zenu nize nibe mpunga ekhanda, kodwa akekho noyedwa ozimisele ukudela unwele lwakhe olulodwa ngenxa yomsebenzi Wami. Nihlala nihamba njalo, nikhandle umzimba wenu, futhi nicindezele izingqondo zenu ngenxa yenyama yenu, nangenxa yamadodana namadodakazi enu, kodwa akekho noyedwa kinina okhombisa ukukhathazeka noma ukukhathalela intando Yami. Yini lokhu enisafisa ukuyizuza Kimi?

Kucashunwe embhalweni othi “Baningi Ababiziweyo, Kepha Bayingcosana Abakhethiweyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

105. Ngikhulume amazwi amaningi, futhi ngiyishilo intando Yami nesimo Sami, kodwa noma kunjalo, abantu abakakwazi ukungazi nokukholelwa Kimi. Noma kungathiwa abakakwazi ukungilalela. Labo abaphila eBhayibhelini, labo abaphila ngaphansi kwemithetho, labo abaphila esiphambanweni, labo abaphila ngezimfundiso, labo abaphila emsebenzini engiwenzayo namuhla—ibaphi phakathi kwabo abafanelana Nami? Ucabanga kuphela ukuthola izibusiso nemiklomelo, awukaze ucabange ngokuthi ungafanelana kanjani Nami, noma ucabange ngokuthi ungazivikela kanjani ukuthi ungabi yisitha Sami. Ngiphoxeke kakhulu ngawe, ngoba ngikunikeze okuningi kodwa ngizuze okuncanyana kuwena. Ukukhohlisa kwakho, ukuzidla kwakho, umhobholo wakho, izifiso zakho ezinkulu, ukungathembeki kwakho, ukungalaleli kwakho—yikuphi kulokhu engingekubone? Ukumbandaza kwenu Kimi, ningenza isiwula, niyangethuka, niyangikhohlisa, ningithwalisa ubunzima, futhi ningiphanga imihlatshelo—kungenzeka kanjani ukuthi lokhu okulimaza kangaka kuphunyuke ekujeziseni Kwami? Ukwenza kwakho ububi kuwubufakazi bobutha bakho Kimi, nokungafanelani Nami. Omunye nomunye wenu ukholelwa ukuthi ufanelana kahle Nami, kodwa uma ngabe kunjalo, manje lobu bufakazi obungephikiswe busebenza kubani? Nikholwa ukuthi niqotho futhi nithembeke kakhulu Kimi. Nicabanga ukuthi nilunge kakhulu, ninozwela, futhi nizinikele kakhulu Kimi. Nicabanga ukuthi ningenzele okwanele. Kodwa nike naqhathanisa lezi zinkolelo nokuziphatha kwenu? Ngithi niyazidla kakhulu, nigcwele umhobolo, nibudedengu kakhulu, amaqhinga eningikhohlisa ngawo anobuqili, kanti ninezinhloso nezindlela eziyihlazo eziningi. Ukuthembeka kwenu kuncane, ubuqotho benu abunamsebenzi, kanti unembeza wenu wona untula kakhulu. Kunobubi obuningi ezinhliziyweni zenu, futhi akekho osindayo ebubini benu, ngisho Nami uqobo. Ningivalela ngaphandle ngenxa yezingane zenu, noma abayeni benu, noma ukuze nizigcine nina. Kunokuthi ningikhathalele, nikhathalela imindeni yenu, izingane zenu, izikhundla zenu, ikusasa lenu nokwaneliseka kwenu. Nike nangicabanga nini ezinkulumweni nasezenzweni zenu? Uma kubanda, imicabango yenu iya ezinganeni zenu, kubayeni benu, kumakhosikazi enu nabazali benu. Uma kushisa, angikho nokuba khona emicabangweni yenu futhi. Uma wenza umsebenzi wakho, ucabanga ngezinto ezithandwa nguwe, ukuphepha kwakho, kwamalungu omndeni wakho. Ungenzeleni Mina? Uke wacabanga nje Ngami? Uke wazinikela nini Kimi, nasemsebenzini Wami noma kukusiphi isimo? Bukuphi ubufakazi bakho bokufanelana Nami? Kukuphi ukuthembeka ngeqiniso kwakho Kimi? Liphi iqiniso lokwethembeka kwakho Kimi? Kunini lapho izinhloso zakho bekungezona nje zokuthi uthole izibusiso Zami? Ungenza isiwula ungikhohlisa, udlala ngeqiniso, ufihle ubukhona beqiniso, uthengise ngobukhona beqiniso. Uzibeka ebutheni obukhulu Nami, ngakho ikusasa likuphatheleni? Ufuna nje ukufanelana noNkulunkulu ongabonakali, ufune nje inkolo engekho, kodwa awufanelani noKristu. Ingabe inkohlakalo yakho angeke ithole ukuziphindiselela okufanele ababi? Ngaleso sikhathi, uzobona ukuthi akekho umuntu ongafanelani noKristu ongaphunyuka osukwini lolaka, futhi uzothola ukuthi nhloboni yokuziphindiselela ezoba phezu kwalaba abayizitha noKristu.

Kucashunwe embhalweni othi “Kufanele Ufune Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

106. Ekufuneni kwenu, ninemibono, amathemba, nekusasa okuningi. Umsebenzi wamanje uqondene nokubhekana nokulangazelela kwakho isikhundla kanye nezifiso ezedlulele. Amathemba, isikhundla nemibono, konke kuwukubonakaliswa okuvelele kwesimo sobusathane. Isizathu sokuthi kube khona zonke lezi zinto ezinhliziyweni zabantu ukuthi ubuthi bukaSathane buhlala budlavuza imicabango yabantu, futhi abantu bahlala bengakwazi ukuchiliza lezi zilingo zikaSathane. Baphila phakathi kwezono kepha abakholwa ukuthi yisono, futhi basacabanga ukuthi: “Sikholwa kuNkulunkulu, ngakho kumele asinikeze izibusiso futhi asilungiselele yonke into ngokufanele. Sikholwa kuNkulunkulu, ngakho kufanele sibe ngaphezulu kwabanye, futhi kumele sibe nesikhundla esingcono kanye nekusasa elingcono kunabo bonke abanye abantu. Njengoba sikholwa kuNkulunkulu, kumele asinike izibusiso ezingenamkhawulo. Kungenjalo, bekungeke kubizwe ngokuthi ukukholwa kuNkulunkulu.” Iminyaka eminingi, imicabango abantu ababethembele kuyo ukuze baphile beyilokhu idlavuza izinhliziyo zabo kangangoba baze baba nenkohliso, nobugwala, nokwenyanyeka. Abagcini nje ngokuntula amandla okwenza nokuzimisela kodwa futhi sebenomhawu, bazithwele, futhi bagcwele inkani. Bantula ngokugcwele ukuzimisela okwedlula nobubona uqobo, nangaphezulu kwalokho, abanaso nesincane isibindi sokuchitha lezi zithiyo zala mathonya amnyama. Imicabango kanye nezimpilo zabantu zibole ngendlela yokuthi imibono yabo ngokukholwa kuNkulunkulu isemibi ngendlela engabekezeleki, futhi nalapho abantu bekhuluma ngemibono yabo ngokukholwa kuNkulunkulu, ukukuzwa akubekezeleki nhlobo. Bonke abantu bangamagwala, bayehluleka ukwenza umsebenzi, bayenyayisa, futhi bantekenteke. Abawenyanyi amandla obumnyama, futhi abaluzwa uthando lokukhanya kanye neqiniso; kunalokho, benza konke okusemandleni ukukuxosha. Imicabango kanye nemibono yenu yamanje ayinjena? “Njengoba ngikholwa kuNkulunkulu kumele ngithelwe ngezibusiso, futhi kufanele kuqinisekiswe ukuthi isikhundla sami asehli nokuthi sihlala siphakeme kunesabantu abangakholwa.” Anizange niwugcine umbono onjengalona ngaphakathi kwenu unyaka owodwa noma emibili kuphela, kodwa kube yiminyaka eminingi. Indlela yenu yokucabanga enokuhwebelana ikhule ngokweqile. Yize senifike kulesi sinyathelo namuhla, anikasidedeli isikhundla, kodwa nihlala nilwela ukubuza mayelana naso, futhi nisibhekile nsukuzonke, ngokwesaba okujulile ukuthi ngelinye ilanga isikhundla senu siyolahleka futhi igama lenu lonakale. Abantu abakaze babeke eceleni ukulangazelela kwabo ukuphila kalula. … Uma ufuna ngokwengeziwe ngale ndlela, uzovuna kancane ngokwengeziwe. Uma umuntu elangazelela isikhundla ngokwengeziwe, kuzobhekanwa naye futhi acwengisiswe ngokwengeziwe. Abantu abanjalo abanamsebenzi walutho! Kumele kubhekanwe nabo futhi bahlulelwe ngokufanele ukuze bakwazi ukudedela lezi zinto ngokuphelele. Uma ufuna ngale ndlela kuze kube sekugcineni, awuzukuvuna lutho. Labo abangafuni ukuphila ngeke bakwazi ukuguqulwa, futhi labo abangalomeli iqiniso ngeke balithole iqiniso. Awugxili ekufuneni ukuguqulwa komuntu kanye nokungena, kodwa ugxila ezifisweni eziyihaba nasezintweni ezivimba ukuthanda kwakho uNkulunkulu futhi ezikuvimba ekusondeleni Kuye. Ingabe lezo zinto zingakwazi ukukuguqula? Zingakwazi ukukuletha embusweni?

Kucashunwe embhalweni othi “Kungani Ungazimisele Ukuba Yisiqhathaniso?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

107. Umuntu uphila phakathi kokukhanya, kodwa akabuboni ubugugu bokukhanya. Akasinaki isimo sokukhanya, nesomthombo wokukhanya, futhi ngaphezu kwalokho, kulowo okungokwakhe. Lapho ngethula ukukhanya phakathi kwabantu, ngokushesha ngihlola izimo phakathi kwabo: Ngenxa yokukhanya, bonke abantu bayaguquka, bayakhula futhi babushiyile ubumnyama. Ngiye ngabheka wonke amagumbi omhlaba, futhi ngabona ukuthi izintaba zihaqwe yinkungu, ukuthi amanzi ayiqhwa ngenxa yamakhaza, nokuthi ngenxa yokufika kokukhanya, abantu babheka eMpumalanga ukuze bathole okuthile okuyigugu kakhulu—kodwa umuntu uhlala engakwazi ukwehlukanisa indlela ecacile phakathi kwenkungu. Ngenxa yokuthi umhlaba wonke umbozwe inkungu, uma ngibheka emafwini, ubukhona Bami abubonakali kumuntu; umuntu ufuna okuthile emhlabeni, ubukeka ecingisisa, kubonakala sengathi yilokho akuhlosile, ukulindela ukuza Kwami—kodwa akalwazi usuku Lwami, angabuka nje ukukhanya okuvela eMpumalanga. Phakathi kwabo bonke abantu, ngifuna labo abafuna inhliziyo Yami ngeqiniso, ngihamba phakathi kwabo bonke abantu, ngihlale phakathi kwabo bonke, kodwa umuntu uphephile emhlabeni, ngakho abekho abafuna inhliziyo Yami ngempela. Abantu abazi ukuthi bayenze kanjani intando Yami, abaziboni izenzo Zami, futhi abakwazi ukunyakaza ekukhanyeni bakhazinyuliswe yikho. Noma umuntu elokhu ewazisa amazwi Ami, akakwazi ukubona amaqhinga kaSathane okukhohlisa; ngenxa yokuthi isiqu somuntu sincane kakhulu, akakwazi ukwenza ngendlela inhliziyo yakhe efisa ngayo. Umuntu akaze angithande ngokweqiniso. Uma ngimphakamisa, uzizwa engafaneleki, kodwa lokhu akumenzi ukuba azame ukungenelisa. Uvele abambe “indawo” engimnike yona ezandleni zakhe ayihlolisise, akanazwela ebuhleni Bami, kodwa kunalokho uyakhukhumala yizibusiso zesiteshi sakhe. Ingabe lokhu akubona ubuthaka bomuntu? Uma izintaba zinyakaza, zingakugwema ukuza la ukhona? Uma amanzi egeleza, angema phambi kwendawo yomuntu? Ingabe izulu nomhlaba kungahlehliswa yindawo yomuntu? Ngike ngaba nesihawu kumuntu, kaningana impela—kodwa akekho ongazisayo noma owenza lokhu igugu, bavele balalele njengendaba, noma bafunde sengathi bafunda inoveli. Ingabe amazwi Ami awayithinti inhliziyo yomuntu? Ingabe amazwi Ami awanamphumela? Ingabe kungenxa yokuthi akekho okholelwa ekubeni khona Kwami? Umuntu akazithandi, kunalokho uhlangana noSathane ukungihlasela, asebenzise uSathane “njengempahla” yokungisebenzela. Ngizongena kuwo wonke amaqhinga kaSathane, nginqande abantu emhlabeni ukwamukela ukukhohliswa nguSathane, ukuze bangangiphikisi ngenxa yokuba khona kukaSathane.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 22” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

108. Abantu abaningi ngokungifihlela bafisa isibusiso sobukhulu ngesikhundla, bazigxisha ngokudla, bathanda ukulala futhi banakekele kakhulu inyama, bahlala besaba ukuthi asikho isixazululo senyama. Abawenzi umsebenzi wabo ofanele ebandleni, kodwa badla mahhala ebandleni, noma bayale abafowabo nodadewabo ngamazwi Ami, bama phezulu bese bechachaza phezu kwabanye. Laba bantu baqhubeka nokuthi benza intando kaNkulunkulu, bahlale bethi bangabasondelene noNkulunkulu—ingabe ukhona umqondo kulokhu? Uma unokukhuthazeka okufanele, kodwa ungakwazi ukukhonza intando kaNkulunkulu, ngalokho uyisilima; kodwa uma ukukhuthazeka kwakho kungalungile, futhi usasho ukuthi ukhonza uNkulunkulu, ngakho ungumuntu omelene noNkulunkulu, futhi kumele ujeziswe nguNkulunkulu! Anginalo uzwelo kubantu abanjalo! Endlini kaNkulunkulu badla mahhala, bahlala befisa ukunethezeka kwenyama, abanakho ukucabangela lokho okubalulekile kuNkulunkulu; bahlala befuna okuhle kubo, futhi abalaleli intando kaNkulunkulu. Abemukeli ukucutshungulwa uMoya kaNkulunkulu kukho konke abakwenzayo. Bahlala bakhela uzungu futhi bekhohlisa abafowabo nodadewabo, benobuso obubili, njengempungushe esinini samagilebhisi, njalo intshontsha amagilebhisi, futhi igxoba isivini samagilebhisi. Bangaba yini abangane baNkulunkulu abantu abanjalo? Ukulungele yini ukwamukela izibusiso zikaNkulunkulu? Awunakekeli impilo yakho kanye nebandla, ingabe ukulungele ukwamukela umyalelo kaNkulunkulu akuphathisa wona? Ubani ungalokotha athembe umuntu onjalo? Uma ukhonza kanje, uNkulunkulu angalokotha yini akuphathise umsebenzi omkhulu? Ingabe awubambezeli izinto na?

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

109. Abantu abaningi baze bakhulume nangemibandela ekusebenzeleni uNkulunkulu: Abanandaba noma unguNkulunkulu noma ungumuntu, bakhuluma ngeyabo nje imibandela, futhi bafuna ukwanelisa izifiso zabo kuphela. Uma ningiphekela, nifuna ukukhokhelwa imali yomsebenzi, uma ungigijimela, ufuna imali yokugijima, uma ungisebenzela ufuna imali yokusebenza, uma uhlanza izingubo Zami, ufuna imali yokuhlanza izingubo, uma uhlinzeka ibandla ufuna ukubuyiselwa izindleko, uma uba yisikhulumi ufuna imali yokukhuluma, uma uphana ngezincwadi ufuna imali yokuzisabalalisa, kanti uma ubhala ufuna imali yokubhala. Labo engike ngasebenza nabo baze bafune nesinxephezelo Kimi, kuthi labo abathunyelwe ekhaya bafune izinxephezelo ngenxa yomonakalo wegama labo; labo abangashadile babize ilobolo, noma isinxephezelo sokulahlekelwa ubusha babo, labo ababulala inkukhu bafuna imali yomhlabi, labo abathosa ukudla bafuna imali yokuthosa, nalabo abenza umhluzi bafuna ukukhokhelwa ngalokho, futhi…. Lobu ngubuntu benu obuqhoshayo nobunamandla, futhi lezi yizenzo ezishiwo unembeza wenu ophilayo. Uphi umqondo wenu? Buphi ubuntu benu? Ake nginitshele! Uma niqhubeka kanje, ngizoyeka ukusebenza phakathi kwenu. Angeke ngisebenze phakathi komhlambi wezilwane ezigqoke izingubo zabantu, angeke ngihluphekele iqembu labantu abanje ubuso babo obuhle obufihle inhliziyo elukhuni, angeke ngibekezelele umhlambi onje wezilwane ezingenalo nelincane ithemba lokusindiswa. Mhla nginifulathela kuzoba yilolo suku enizofa ngalo, kuzoba usuku lapho nizokwembozwa khona ubumnyama, usuku lapho nizoshiywa khona ukukhanya! Ake nginitshele! Angisoze ngibe nobubele eqenjini elifana nelenu, iqembu elisezingeni eliphansi ngisho nakwelezilwane! Kunemikhawulo emazwini nasezenzweni Zami, futhi ngobuntu nangonembeza benu njengoba kunjalo, angisezukwenza msebenzi ngoba nintula kakhulu uma kuza kunembeza, ningizwise ubuhlungu obukhulu, futhi ukuziphatha kwenu okungcolile, kunginyanyisa kakhulu. Abantu abantula kangaka ubuntu nonembeza ngeke babe nethuba lensindiso; ngeke ngize ngisindise abantu abangenazinhliziyo nabangabongiyo. Uma usuku Lwami lufika, ngizokwehlisa imvula Yami yamalangabi alavuzayo kuze kube phakade kubo bonke abantwana bokungalaleli abake basusa ulaka Lwami oluvuthayo, ngizokhipha isijeziso Sami saphakade kulezo zilwane ezike zaphonsa inhlamba Kimi zangishiya, ngizoshisa unomphelo ngemililo yentukuthelo Yami amadodana okungalaleli, lawo ake adla futhi aphila Nami kodwa angakholwa Kimi, angethuka futhi angikhaphela. Ngizojezisa bonke labo abangithukuthelisa, ngizokwehlisa intukuthelo Yami yonke phezu kwalezo zilwane ezike zafisa ukuma eduze Nami njengezilingana Nami kodwa zangangikhonza noma zingilalele; induku engishaya ngayo umuntu izowela phezu kwalezo zilwane ezike zajabulela ukunakekelwa Yimi nezimfihlo ebengizikhuluma, ezazama ukuthatha injabulo yezinto Kimi. Ngeke ngixolele muntu ozama ukuthatha indawo Yami; Ngeke ngishiye namunye ozama ukuzuza ukudla noma impahla Kimina.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

110. Lokhu enikubona namuhla kuyinkemba nje ebukhali yomlomo Wami. Anikayiboni induku esesandleni Sami noma ilangabi engishisa ngalo umuntu, futhi yingakho nisaqhosha niphinde ningazithibi ebusweni Bami. Yingakho nisalwa Nami endlini Yami, niphikisa ngolimi lomuntu lokhu engikukhulume ngomlomo Wami. Umuntu akangesabi, futhi nakuba eqhubeka nokuba nobutha nami kuze kube namhlanje, ulokhu engenakho nhlobo ukwesaba. Ninolimi namazinyo alabo abangalungile emilonyeni yenu. Amazwi nezenzo zenu afana nawenyoka eyayengela u-Eva ekoneni. Nifuna komunye nomunye iso ngeso nezinyo ngezinyo futhi nilwa ebukhoneni Bami ukuzihlwithela izikhundla, udumo nenzuzo, kodwa anazi ukuthi ngiyawabuka ngasese amazwi nezenzo zenu. Ngaphambi kokuba nifike ebusweni Bami, senginazi ekujuleni kwezinhliziyo zenu. Umuntu uhlale efisa ukuphunyuka ekubambeni kwesandla Sami, agweme ukubuka kwamehlo Ami, kodwa angikaze ngiwagweme amazwi noma izenzo zakhe. Kunalokho, ngiyavuma ngenhloso ukuba zifinyelele emehlweni Ami ukuze ngisole ukungalungi ngiphinde ngahlulele ukuhlubuka kwakhe. Kanjalo, amazwi nezenzo zomuntu ezifihliwe zihlala zibekwe phambi kwesihlalo sokwahlulela, futhi ukwahlulela Kwami akukaze kusuke kumuntu, ngoba ukuhlubuka kwakhe kukhulu kakhulu. Umsebenzi Wami ukushisa ngiphinde ngihlambulule wonke amazwi nezenzo zomuntu ezashiwo futhi zenziwa ebukhoneni boMoya Wami. Ngale ndlela,[b] uma sengishiya umhlaba, abantu basayoqhubeka nokwethembeka Kimi, futhi basayongikhonza njengoba izinceku Zami ezingcwele zenza umsebenzi Wami, zivumela umsebenzi Wami emhlabeni ukuba uqhubeke kuze kufike usuku lapho usuqediwe khona.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

111. Ngibabonga kakhulu labo abangenazinsolo ngabanye futhi ngithanda kakhulu nalabo abasheshayo ukwemukela iqiniso; kulolu hlobo olubili lwabantu ngibonisa ukunakekela okukhulu, ngokuba emehlweni ami bangabantu abaneqiniso. Uma unenkohliso kakhulu, uyoba nenhliziyo eqaphile nemicabango yokusola ngezindaba zonke kanye nabantu bonke. Ngalesi sizathu, ukukholwa kwakho Kimi kwakhelwe esisekelweni sokusola. Ukholo olunje yilolu engingasoze ngalwemukela. Ngokweswela ukukholwa kweqiniso, uyoqheka kakhudlwana othandweni lwangempela. Futhi uma ukwazi ukungabaza uNkulunkulu uzicabangela Ngaye ngokuthanda, ngaphandle kokungabaza-ke ungumkhohlisi omkhulu kakhulu kubantu. Uyacabangela ukuthi ingabe uNkulunkulu angafana yini nomuntu: unesono ngokungaxoleleki, unesimilo esinobungqonjwana, awunabo ubuqotho nengqondo, weswele umqondo wobulungiswa, uthanda amasu anesihluku, ukukhohlisa, nobuqili, nokuthokoziswa ububi nobumnyama, kanye nokunye. Isizathu sokuba umuntu abe nemicabango enje akungenxa yokuthi umuntu akanalwazi noluncane ngoNkulunkulu? Uhlobo olunje lokukholwa aluhlukile esonweni! Ngaphezu kwalokho, kukhona ngisho nalabo abakholwa ukuthi labo abangijabulisayo abayilutho ngaphandle kwabazenzisi namakhothangqoko, nokuthi labo abantula la makhono abemukelekile futhi bayolahlekelwa yindawo yabo endlini kaNkulunkulu. Yilolu ulwazi olufundile kule minyaka eminingi? Ingabe ilokhu okuzuzile? Futhi ulwazi lwenu Ngami alugcini kuphela kulokhu kungaqondisisi; okubi kakhulu ukuhlambalaza kwenu uMoya kaNkulunkulu kanye nokungcolisa iZulu. Yingakho ngithi ukukholwa kwalolu hlobo olufana nolwenu luzonenza niqhele kakhulu Kimi futhi bese nimelana kakhulu Nami. Eminyakeni eminingi yomsebenzi, nibone amaqiniso amaningi, kodwa niyazi ukuthi izindlebe Zami zizweni? Bangaki kini abazimisele ukwamukela iqiniso? Nonke nikholwa ukuthi nizimisele ukukhokha intengo yeqiniso, kepha bangaki ngempela abake bahlupheka ngempela ngenxa yeqiniso? Konke okukhona ezinhiziyweni zenu ububi, futhi yingakho nikholwa ukuthi noma ubani, akunandaba ukuthi angaba ubani, unenkohliso nobugwegwe. Niyakholwa ngisho ukuthi uNkulunkulu othathe isimo somuntu angaba njengomuntu ojwayelekile, uyobe engenayo inhliziyo enomusa kanye nothando olunomusa. Ngaphezu kwalokho, nikholwa ukuthi ukuziphatha okuhle nesihe, nemvelo enomusa kukhona kuphela kuNkulunkulu osezulwini. Futhi nikholwa ukuthi ongcwele onje akekho, nokuthi ubumnyama nobubi kuphela okubusa emhlabeni, lapho uNkulunkulu eyinto umuntu abeka kuyo ukulangazelela kwakhe okulungile nokuhle, isithombe esiyinganekwane esenziwe ngumuntu. Emiqondweni yenu, uNkulunkulu osezulwini uqotho, ulungile, futhi mkhulu, ufanele ukudunyiswa nokuthandwa, kodwa lo Nkulunkulu osemhlabeni uyisibambiso nje futhi usetshenziswa uNkulunkulu osezulwini. Nikholwa ukuthi lo Nkulunkulu ngeke alingane noNkulunkulu osezulwini, ingasaphathwa eyokuthi kukhulunywe ngabo bobabili ongathi basezingeni elifanayo. Uma kukhulunywa ngobukhulu nangodumo lukaNkulunkulu, kungokukaNkulunkulu osezulwini, kodwa uma kukhulunywa ngemvelo nenkohlakalo yomuntu, kuyizici uNkulunkulu osemhlabeni oneqhaza kuzo. UNkulunkulu osezulwini uphakeme naphakade, lapho uNkulunkulu osemhlabeni engabalulekile, ebuthakathaka, engenamandla naphakade. UNkulunkulu osezulwini akasiye owemizwa, ukulunga kuphela, lapho uNkulunkulu osemhlabeni enezinhloso zobugovu kuphela futhiakanabulungiswa futhi akanangqondo. UNkulunkulu osezulwini akanabo nobuncane ubugwegwe futhi uthembekile ikuze kube phakade, kulapho uNkulunkulu osemhlabeni unengxenye yokungethembeki njalo. UNkulunkulu osezulwini uthanda umuntu kakhulu, lapho uNkulunkulu osemhlabeni unakekela umuntu ngokungagculisi, kokunye angamnaki nhlobo. Lolu lwazi oluyiphutha kade lugcinwe ezinhliziyweni zenu futhi lungabhebhethekiswa esikhathini esizayo. Nibheka zonke izenzo zikaKristu nizithathela ephuzwini lokungalungi futhi nicubungule wonke umsebenzi Wakhe, ubunjalo nengqikithi Yakhe ngeso lababi. Nenze iphutha elinzima ngokwenza okungakaze kwenziwe abeze ngaphambili kwenu. Okungukuthi, nikhonza kuphela uNkulunkulu ophakeme osezulwini, onomqhele ekhanda lakhe futhi anikaze nimnake uNkulunkulu enimthathela phansi njengongabalulekile ngendlela yokuthi akabonakali kini. Ingabe akusona yini isono senu lesi? Ingabe akusona yini isibonelo esijwayelekile secala lenu lokumelana nesimo sikaNkulunkulu? Niyamkhonza impela uNkulunkulu osezulwini. Niyayidumisa impela imifanekiso ephakeme futhi nazise kakhulu labo abagqame ngobugagu bokukhuluma. Niyayalwa ngokuthokoza nguNkulunkulu ogcwalisa izandla zenu ngengcebo, futhi niyamlangazelela kakhulu uNkulunkulu ongagcwalisa konke ukulangazelela kwenu. Okunguyena yedwa eningamdumisi yilo Nkulunkulu ongaphakeme: into eyodwa eniyizondayo ukuxhumana nalo Nkulunkulu okungekho muntu omhlonisphayo. Into eyodwa eningazimisele ukuyenza, ukukhonza uNkulunkulu ongakaze aninike neyodwa indibilishi, futhi oyedwa kuphela ongakwazi ukunenza nimlangazelele, yilo Nkulunkulu ongathandeki. Lolu hlobo lukaNkulunkulu ngeke lunenze ukuba nikhulise impelamehlo yenu, nizizwe sengathi nithole ingcebo, ingasaphathwa eyokufeza lokho enikufisayo. Kungani-ke, nimlandela?

Kucashunwe embhalweni othi “Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

112. Iningi likhetha ukuba liyolahlwa esihogweni kunokukhuluma futhi lenze ukwethembeka. Akumangalisi ukuthi nginenye impatho ebekekwe labo abangathembekile. Impela, ngiyabuqonda ubunzima obukhulu enibhekana nabo ekuzameni ukuba ngabantu abethembekile. Nonke nihlakaniphile kabi futhi niyizingcweti kwezokwehlulela umuntu olungile ngokwesilinganiso senu esinomona; njengoba kunje umsebenzi Wami uba lula kakhulu. Futhi njengalokhu nisingatha izimfihlo zenu ezinhliziyweni zenu, kulungile-ke, ngizothumela omunye nomunye wenu enhlekeleleni ukuba “niyofundiswa” ngomlilo, ukuze emva kwalokho nizokuba nokuzibophezela ekukholweni emazwini Ami. Okokugcina, ngizokhipha kanzima amazwi emilonyeni yenu athi “uNkulunkulu unguNkulunkulu wokwethembeka,” emva kwalokho niyozishaya isifuba futhi nibalise, “Ingumkhohlisi inhliziyo yomuntu!” Ingabe siyobe sesiyini isimo sengqondo yakho kuleli qophelo? Ngiyacabanga nje aninakuqhubeka nokuziphatha ngokuzazisa njengoba nenza njengamanje. Ngingasakuphathi ukuthi “nibe ngabajulile kakhulu ukuba bangaqondisiseka” njengoba ninjalo njengamanje. Abanye baziphatha ngendlela ehloniphekile nefanele futhi babonakala ikakhulukazi nje “baziphatha ngenhlonipho” ebukhoneni bukaNkulunkulu kodwa babe ngabadelelayo futhi abangalawuleki ebukhoneni bukaMoya. Ningambala yini phakathi kwabathembekile umuntu onjalo? Uma ungozenzisayo nomuntu oyingcweti “kwezokuzijabulisa,” ngizothi uwena ngempela ohlekisa ngoNkulunkulu. Uma amazwi akho egcwele izaba kanye nokuzihlangula okungenamsebenzi, ngithi uyilowo ongazimisele nhlobo ukwenza iqiniso. Uma unezimfihlo eziningi ongabazayo ukuziveza, futhi uma ungafuni ukudalula izimfihlo zakho—okusho ukuthi, izinkinga zakho—kwabanye ukuze ufune indlela yokukhanya, ngizothi uyilowo ongeke ayithole kalula insindiso futhi ongeke aphunyuke kalula ebumnyameni.

Kucashunwe embhalweni othi “Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

113. Ngiyiqonda ngokujulile inkohlakalo esezinhliziyweni zenu; abaningi kini bangilandela benelukuluku futhi bazele ukuzongifunela ize. Lapho kuqedwa ngesifiso senu sesithathu—sokuphila okunokuthula nokujabulisayo—ilukuluku lenu liphelela emoyeni. Inkohliso ekhona ngaphakathi ezinhliziyweni zenu nonke idalulwa ngamazwi nezenzo zenu. Ukukhuluma iqiniso, nimane ninelukuluku lokwazi Ngami, aningesabi; anilunaki ulimi lwenu, futhi nibonisa ukuzibamba ekuziphatheni kwenu. Ngakho, lunjani ngempela ukholo lwenu? Ingabe luqotho? Nimane nisebenzisa amazwi Ami ukuze nixoshe izinkathazo zenu futhi nichithe isizungu, ugcwalise isikhala esingenalutho empilweni yakho. Ubani phakathi kwenu oke wawenza amazwi Ami? Ubani onokholo lwangempela? Nilokhu nimemeza nithi uNkulunkulu unguNkulunkulu obona ekujuleni kwezinhliziyo zabantu, kodwa uNkulunkulu enimemeza ngaye unjani uma eqhathaniswa Nami? Njengoba nimemeza kanjena, kungani nenza ngaleyo ndlela? Kungenzeka yini ukuthi lolu uthando enifuna ukungibuyisela ngalo? Akukho ngisho nokuncane ukuzinikela ezindebeni zenu, kodwa ikuphi imihlatshelo yenu, kanye nezenzo zenu ezinhle? Ukube bekungekho ngenxa yamazwi enu afinyelela ezindlebeni Zami, benginganizonda kanjani kangaka? Uma ukholelwa ngempela Kimi, ungawela kanjani esimweni esinjalo sosizi? Nibukeka nicindezelekile ebusweni benu njengokungathi ningamaHayidesi alinde uvivinyo. Aninabo nobuncane ubungqabavu, futhi nikhuluma ngendlela engagculisi ngezwi lenu elingaphakathi; nize nigcwale izikhalo neziqalekiso. Kade naphelelwa yithemba kwengikwenzayo, futhi nokuzethemba kwenu kweqiniso sekushabalele, ngakho ningalandela kanjani kuze kube sekugcineni? Ningasindiswa kanjani ngale ndlela?

Kucashunwe embhalweni othi “Amazwi Aya Kwabasha Nabadala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

114. Nakuba umuntu ekholwa kuNkulunkulu, inhliziyo yomuntu ayinaye uNkulunkulu, futhi ukushaya indiva ukuthanda uNkulunkulu, akafuni ukuthanda uNkulunkulu, ngoba inhliziyo yakhe ayikaze isondelane noNkulunkulu futhi ihlale imgwema uNkulunkulu. Ngenxa yalokho, inhliziyo yomuntu iqhelelene noNkulunkulu. Ngakho ikuphi inhliziyo yakhe? Eqinisweni inhliziyo yomuntu ayiyanga ndawo: Esikhundleni sokuthi ayinike uNkulunkulu noma ayembule ukuze uNkulunkulu ayibone, umuntu uyigcine kuye. Lokhu kungaphezu kweqiniso lokuthi abanye bavame ukuthandaza kuNkulunkulu bathi, “O Nkulunkulu, hlola inhliziyo yami—ukwazi konke engikucabangayo,” futhi abanye baze bafunge ukuthi uNkulunkulu ababheke, nokuthi bajeziswe uma bephula isifungo sabo. Nakuba umuntu evumela uNkulunkulu ukuba abheke ngaphakathi enhliziyweni yakhe, lokhu akusho ukuthi uyakwazi ukulalela ukuqondiswa namalungiselelo kaNkulunkulu, nokuthi akasenawo umphumela nethemba nokuthi akasalawulwa uNkulunkulu. Ngakho, kungakhathaleki ukuthi wenza siphi isifungo kuNkulunkulu noma ukuthi uthini Kuye emehlweni kaNkulunkulu inhliziyo yakho isavaliwe, ngoba uNkulunkulu umvumela kuphela ukuthi ahlole inhliziyo yakho, awumvumeli ukuba ayilawule. Ngamanye amazwi, awukamniki nhlobo uNkulunkulu inhliziyo yakho, futhi ukhuluma amazwi amnandi kuphela ukuze uNkulunkulu awezwe; unezinhloso eziningi zobuqili, uyazifihla kuNkulunkulu, kanye nokuphamba kwakho, ubuqili, namacebo, futhi ubamba amathemba nomphumela ngezandla zakho, wesaba kakhulu ukuthi uNkulunkulu uyokuthatha. Ngakho, uNkulunkulu akazange abone umuntu eqotho Kuye. Nakuba uNkulunkulu ekubona ukujula kwenhliziyo yomuntu, futhi ekwazi ukubona into umuntu ayicabangayo nafisa ukuyenza enhliziyweni yakhe, ebona nokusenhliziyweni yakhe, inhliziyo yomuntu akuyona ekaNkulunkulu, akayinikanga uNkulunkulu ukuze ayilawule. Okusho ukuthi, uNkulunkulu unelungelo lokubona, kodwa akanalo elokulawula. Ekubukeni komuntu ngokwakhe, umuntu akafuni ukuzishiyela emseni kaNkulunkulu. Umuntu akagcinanga nje ngokuqhela kuNkulunkulu, kodwa kunabantu abacabanga ukuthi kunezindlela abangasonga ngazo izinhliziyo zabo, basebenzise amazwi amnandi ukuze bakhe imibono engelona iqiniso bese uNkulunkulu ebathemba, bafihle ubuso babo bangempela ukuze uNkulunkulu angabuboni. Umgomo wabo wokuzifihla ukuthi uNkulunkulu angaboni ukuthi bangabantu abanjani ngempela. Abafuni ukunika uNkulunkulu izinhliziyo zabo, kodwa bafuna ukuzigcina kube ngezabo. Okuqonde ukushiwo ngamazwi asesihlokweni esincane ukuthi lokho umuntu akwenzayo nakufunayo konke kuhlelwa, kubalwe futhi umuntu azinqumele khona mathupha; akafuni ukuthi uNkulunkulu abe nengxenye kukho, ingasaphathwa eyokufuna ukuqondiswa nokuhlelelwa uNkulunkulu. Ngakho ngale kokuyala kukaNkulunkulu, umsebenzi Wakhe, noma izimfuneko uNkulunkulu azenzela umuntu, izinqumo zomuntu zisekelwe ezinhlosweni zakhe nasezintweni azifunayo, nasezimweni zakhe zangaleso sikhathi. Umuntu uhlale esebenzisa ulwazi nokuqonda ajwayelene nakho, nokuhlakanipha kwakhe, ukuze ahlulele futhi akhethe indlela ayithathayo, akafuni uNkulunkulu afake isandla noma amlawule. Lena inhliziyo yomuntu ebonwa uNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

115. Abantu abaningi bafisa ukungithanda ngokweqiniso, kodwa ngenxa yokuthi izinhliziyo zabo akuzona ezabo, abakwazi ukuzilawula; abantu abaningi bangithanda ngokweqiniso phakathi kwezilingo engizinikezile, kodwa abakwazi ukuqonda ukuthi ngikhona ngempela, bangithanda nje ngokungelutho, hhayi ngoba ngikhona uqobo; abantu abaningi ngemuva kokwendlala izinhliziyo zabo phambi Kwami, abazinaki ngakho izinhliziyo zabo zihlwithwa nguSathane uma nje ethola ithuba; ngemuva kwalokho bayangishiya; abantu abaningi bangithanda ngobuqotho uma nje ngibanikeza amazwi Ami, kodwa abawazisi amazwi Ami emiphefumulweni yabo, kunalokho bawasebenzisa nje sengathi yimpahla yomphakathi bawajikijele lapho evele khona noma yinini uma sebethanda. Umuntu uyangifuna nasebuhlungwini, kanti ubhekisa Kimina uma ephakathi kwezilingo. Ngezikhathi zoxolo uyangithokozela, uma esengozini uyangiphika, uma ematasa uyangikhohlwa, uma engenzi lutho wenza into engingakholelwa kuyona—akekho nje umuntu oke wangithanda impilo yakhe yonke. Ngifisa sengathi umuntu angaba neqiniso phambi Kwami: Angiceli ukuba angiphe utho, nje ukuthi bonke abantu babe nesiqiniseko Ngami, ukuthi, kunokungikhohlisa, mabangivumele ngibuyise ubuqotho bomuntu. Ukukhanyiselwa Kwami, ukukhanyisa, nenani lemizamo kungena kubo bonke abantu, kodwa futhi kanjalo neqiniso lazo zonke izenzo zomuntu lingena kubo bonke abantu, njengoba kwenza ukungikhohlisa kwabo. Kuba sengathi izithako zokukhohliswa komuntu selokhu zinamathele kuye ukusuka esibelethweni, sengathi ube nala makhono obuqili ukusuka ekubelethweni kwakhe. Okunye futhi, akaze ayikhulumele eziko; akekho oke wabona umnyombo wala makhono enkohliso. Ngenxa yalokho, umuntu uhlala phakathi kwenkohliso angaqapheli, kuba sengathi uyazixolela, kube sengathi ukuhlela kukaNkulunkulu kunokuba ukungikholisa kwangabomu kwakhe. Ngabe akuwona amasu akhe obuqili lawa? Angikaze ngidungeke kangaka wukubatshazwa ngokukhohliswa ngumuntu, ngoba ngiwubone kudalo umsuka wayo. Ubani okwaziyo ukungcola okusegazini lakhe nokuthi ushevu kaSathane osemnkantsheni wakhe ungakanani? Umuntu ujwayela kakhudlwana usuku nosuku, ukufikela lapho engasenandaba nokuhlushwa uSathane, bese angabe esaba nentshisekelo yokuthola “ubuciko bokuphila kahle.”

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 21” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

116. Umuntu yisidalwa esingazazi. Yize engazazi, kodwa abanye abantu ubazi njengentende yesandla sakhe, njengokungathi bonke badlule kuye “wabahlola” base bephasiswa nguye ngaphambi kokusho noma ukwenza okuthile, kanjalo sengathi ubakale bonke isimo sabo sengqondo. Bonke abantu banjalo. Umuntu ungene eNkathini yoMbuso namuhla, kodwa indalo yakhe ayiguquki. Usaqhubeka nokwenza ngendlela engenza ngayo phambi Kwami, kodwa uma ngingabhekile wenza “ibhizinisi” lakhe elihlukile. Uma sekuphelile lokho, uyabuya eze Kimi, kodwa, usengumuntu ohlukile, obukeka ezolile, eqoqekile, ukushaya komthambo kulungile. Akusikho lokhu okwenza umuntu anyanyise? Bangaki abantu abanobuso obubili obuhlukile, obunye phambi Kwami nobunye uma ngifulathele? Bangaki ababa njengamawundlu asanda kuzalwa phambi Kwami kodwa uma ngifulathele baba yizingwe ezilambile, bese beba njengezinyoni ezincane ezindiza kamnandi emagqumeni? Bangaki abakhombisa ukuba nenhloso nezinqumo phambi Kwami? Bangaki abeza phambi Kwami, befuna amazwi Ami bewomele futhi bewanxanele kodwa, uma ngifulathele, bayakhathala yiwo bawalahle, kungathi amazwi Ami ayabagqilaza? Izikhathi eziningi, ngibona abantu bekhohlakaliswa yisitha Sami, ngaphonsa ithawula ekubekeni ithemba Lami kubantu. Izikhathi eziningi, ngibona abantu beza phambi Kwami bekhala becela intethelelo, kodwa ngenxa yokungazihloniphi, ukuba nenkani okungalungiseki, sengivale amehlo Ami kulokhu akwenzayo ngenxa yentukuthelo, yize noma inhliziyo yakhe iqotho nezinhloso zakhe ziyiqiniso. Izikhathi eziningi, ngibona abantu benalo ithemba lokubambisana Nami, nokuthi wenza kanjani ukuthi phambi Kwami kube sengathi uyalala esifubeni Sami, enambitha imfudumalo yokumgona Kwami. Izikhathi eziningi, ngibona ubumsulwa, ukuphila, nokuthandeka kwabantu Bami abakhethiwe, enhliziyweni Yami ngiyathokoza uma ngibona lezi zinto. Abantu abazi ukuthi bangazithokozela kanjani izibusiso engibabekele zona ezandleni Zami, ngoba abazi ukuthi kusho ukuthini ukubusiseka noma ukuhlupheka. Ngenxa yalokhu, abantu bakude ekungifuneni ngeqiniso. Uma ngabe ibingekho into okuthiwa ikusasa, kini enimi phambi Kwami, ubani ongaba mhlophe njengeqhwa, angabi nabala njenge-jade? Ngiqinisekile uthando eninalo Ngami akuyona into engashintshaniswa ngesidlo esimnandi, noma ngezimpahla zokugqoka zezinga eliphezulu, noma ihhovisi elikhulu eliholela kahle? Noma, lungashintshaniswa nothando abanye abanalo ngawe? Ngiqinisekile, ukudlula ekulingweni angeke kwenze umuntu alahle uthando analo Ngami? Ngiqinisekile, inhlupheko nokulingwa angeke kwenze umuntu akhalaze ngalokhu engikuhlelile? Akekho umuntu owake wabonga inkemba esemlonyeni Wami: Wazi kuphela lokhu okuyichazayo okungaphandle ngaphandle kokuqonda ingaphakathi layo. Uma abantu bebekwazi ngempela ukubona ubukhali benkemba Yami, bebeyobalekela emigodini yabo njengamagundane. Ngenxa yokungazweli kwabo, abantu akukho abakuqondayo ngencazelo eyiqiniso yamazwi Ami, ngakho-ke abazi ukuthi amazwi Ami ajule kangakanani, noma aveza okungakanani ngendalo yabo, nokuthi inkohlakalo engakanani eseyehlulelwe, kulawo mazwi. Ngenxa yalokhu, ngokubheka ulwazi oluncane abanalo ngamazwi Ami, abantu abaningi bathathe isimo sokuba ndikindiki nokungafuni ukuzibophezela.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 15” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

117. Eminyakeni ngeminyaka, baningi asebedlulile kulo mhlaba ngokuphoxeka, ngokunqikaza, kanti abaningi bafika kuwo benethemba nokholo. Ngilungiselele ukuthi abaningi beze, futhi sengihambise abaningi. Anginakubabala abantu asebedlule ezandleni Zami. Imimoya eminingi iphonswe esihogweni, baningi abaphile enyameni, kanti baningi abafile nabaphinde bazalwe emhlabeni. Kodwa akekho kubo obe nethuba lokuthokozela izibusiso zombuso namuhla. Kuningi engimnike khona umuntu, kodwa uzuze okuncane, ngoba ukuhlasela kwamandla kaSathane kumenze wangakwazi ukuthokozela ingcebo Yami. Ube nomnotho omuhle awubhekile, kodwa akakaze akwazi ukuwujabulela ngokugcwele. Umuntu akaze ayithole indlu yomcebo emzimbeni wakhe ukuze athole ingcebo yasezulwini, ngalokho uselahlekelwe izibusiso ebengimuphe zona. Ingabe umoya womuntu akubona ubuhlakani obumxhumanisa noMoya Wami? Kungani umuntu engakaze angihlanganise nomoya wakhe? Kungani esondela kimi ngenyama, kodwa ehluleke ukwenza kanjalo ngomoya? Ingabe ubuso Bami bangempela bungobenyama? Kungani umuntu engabazi ubuqu Bami? Ingabe akukho manenjana Ami emoyeni womuntu? Ingabe nginyamalale ngaphela emoyeni womuntu? Uma umuntu engangeni endaweni yakwamoya, angaziqonda kanjani izinhloso Zami? Ingabe kukhona emehlweni omuntu okungangena ngqo endaweni yakwamoya? Kukaningi ngibiza umuntu ngoMoya Wami, kodwa umuntu wenza sengathi ngimgwazile Mina, ungazisa ekude le, ngokwesaba okukhulu kokuthi ngizomholela komunye umhlaba. Kukaningi ngihlola umoya womuntu, kodwa namanje akanalwazi, unokwesaba kakhulu ukuthi ngizongena ekhaya lakhe ngithole ithuba lokumphuca konke anakho. Ngalokho, ungivalela ngaphandle, ungishiya ngingabhekene nalutho kodwa amakhaza, nomnyango ovalwe thaqa. Kukaningi umuntu ewa ngimsindisa, kodwa emva kokuvuka uyangishiya masinyane, engenandaba nothando Lwami, ungiphonsa iso elibukhali; angikaze ngifudumeze inhliziyo yomuntu. Umuntu yisilwane esingenamizwa esinegazi elibandayo. Yize noma efudunyezwa ukumanga Kwami, akukaze kumshukumise lokho. Umuntu ufana nonya lwentaba. Akakaze akwenze igugu ukumazisa Kwami umuntu. Akafuni ukuza Kimi, ukhetha ukuhlala ezintabeni, lapho ebekezelela khona ukusatshiswa yizilwane zasendle—kodwa nalapho akafuni ukukhosela Kimi. Angiphoqe muntu: ngenza nje umsebenzi Wami. Usuku luzofika lapho abantu bezobhukuda eduze Kwami phakathi kolwandle olunamandla, ukuze azothokozela yonke ingcebo esemhlabeni ashiye emuva ubungozi bokugwinywa ulwandle.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 20” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

118. Ukholo lwenu luhle kakhulu; nithi nizimisele ukuzikhandla yonke impilo yenu egameni lomsebenzi Wami, nokuthi nizimisele ukunikela ngokuphila kwenu ngenxa yawo, kodwa isimo senu asikashintshi kangako. Bekungamagama nje okuzikhukhumeza, kodwa izenzo zenu zimbi kakhulu. Kubonakala sengathi ulimi nezindebe zomuntu zisezulwini kodwa imilenze ikude le emhlabeni, ngakho amazwi akhe nezenzo kanjalo negama lakhe kusesesimweni esibi kakhulu. Igama nesithunzi senu sicekeleke phansi, isithunzi senu sehlile, indlela enikhuluma ngayo iyihlazo, nempilo yenu iyanyanyisa, bonke ubuntu benu buphansi. Izingqondo zenu zincane anibacabangeli abanye futhi nixabanela nezinto ezincane. Nilwela izikhundla nokuthathelwa phezulu, ningaze niyophonseka esihogweni, phakathi echibini lomlilo. Amagama enu amanje nezenzo kwanele ukuba nginibale njengabagcwele isono. Indlela enithatha ngayo umsebenzi Wami yanele ukuba nginibone ukuthi ningabangalungile, futhi izimo zenu zonke zanele ukuba ngithi imiphefumulo yenu ingcolile futhi igcwele izinengiso. Enikwenzayo kanye nenikwambulayo kwanele ukuba kungathiwa ningabantu abaphuze igazi eliningi lemimoya engcolile. Uma kukhulunywa ngokungena embusweni ngako anikwazi ukufihla imizwa yenu. Niyakholwa ukuthi indlela eniyiyona yanele ukuba ningene emasangweni ombuso Wami wezulu? Niyakholwa ukuthi ningathola ukungena ezweni elingcwele lomsebenzi Wami namagama ngaphandle kwamagama enu nezenzo zenu zithola ukuhlolwa Yimi? Ubani okwazi ukukhohlisa ngempumelelo amehlo Ami womabili? Kungenzeka kanjani ukuthi ukuziphatha nezingxoxo zenu ezimbi nezinyanyekayo ziphunyuke emehlweni Ami? Izimpilo zenu ngizibone njengezimpilo zokuphuza igazi laleyo mimoya engcolile nokudla inyama yaleyo mimoya engcolile ngenxa yokuba niya ngokuya nifana nayo phambi Kwami zonke izinsuku. Emehlweni Ami ukuziphatha kwenu kwakukubi kakhulu, pho ngingathini ukunganengeki? Kwenikushoyo kunobubi bemimoya engcolile: Niyakhohlisa, nifihle, niphinde niyenge njengabathakathayo, futhi ninjengalabo abakhohlisayo nabaphuza igazi lokungalungi. Zonke izenzo zabantu azilungile kakhulu, pho kungenzeka kanjani ukuthi bonke abantu babekwe ezweni elingcwele lapho kunabalungile khona na? Ucabanga ukuthi lokho kuziphatha kwakho okunyanyisayo kungakutomula njengongcwele kulabo abangalungile? Ulimi lwakho olunjengolwenyoka luzogcina lucekele phansi inyama yakho eletha umonakalo yenze nezenzo eziyisinengiso, kanye nalezo zandla zakho ezigcwele igazi lemimoya engahlanzekile nazo zizogcina zidonsele umphefumulo wakho esihogweni, pho kungani ungagxumeli leli thuba lokuhlanza izandla zakho ezigcwele ukungcola? Futhi kungani ungathathi leli thuba uhlukane lalolu limi lwakho olukhuluma amazwi angenako ukulunga? Kungenzeka ukuthi uzimisele ukuzwa ubuhlungu ngaphansi kwamalangabi asesihogweni ngenxa yezandla zakho ezimbili nolimi nezindebe? Ngibhekelela izinhliziyo zabo bonke abantu ngamehlo Ami amabili ngoba kudala ngaphambi kokudala abantu, ngangiphethe izinhliziyo zabo ezandleni Zami. Kudalo ngakwazi ukuyibona kahle inhliziyo yomuntu, pho kungenzeka kanjani ukuthi inhliziyo yomuntu icashele amehlo Ami? Futhi bangaba kanjani esikhathini sokubalekela ukuvutha koMoya Wami?

Kucashunwe embhalweni othi “Nonke Nibabi Kakhulu Ngokwesimilo!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

119. Izindebe zakho zinomusa kunamajuba kodwa inhliziyo yakho yimbi ngaphezu kwenyoka yamandulo, ngisho nezindebe zakho zinhle kunezowesifazane waseLebhanoni, kodwa inhliziyo yakho ayinamusa kunaleyo yowesifazane waseLebhanoni futhi-ke ingefaniswe nobuhle babaseKhenani. Inhliziyo yakho inenkohliso enkulu! Engikuzonda kakhulu yizindebe kuphela zokungalungi nezinhliziyo zokungalungi. Izindinganiso zami kubantu azingaphezu kwezabangcwele, ukuthi nje ngizizwa nginenzondo ngezenzo ezimbi zabangalungile futhi ngifisa ukuba abangalungile bangase bakwazi ukuxosha ukungcola kwabo baphume babaleke kule ndida ekhona ukuze bakwazi ukuzehlukanisa nalabo abangalungile, baphile kanye futhi babe ngcwele nalabo abalungile. Nisesimweni esifanayo nami, kodwa nembozwe ukungcola, akukho nenswebu encane kinina yalaba bantu abadalwa ekuqaleni, futhi ngenxa yokuthi zonke izinsuku nilinganisa leya mimoya engcolile futhi nenza niphinde nisho lokho ekushoyo, yonke ingxenye yenu ngisho nolimi nezindebe zenu zicwile emanzini ayo angcolile. Sekufinyelele ephuzwini lokuthi nimabhadubhadu yilawo mabala ndawo yonke akusekho nengxenye encane engasetshenziselwa umsebenzi Wami. Kuyadabukisa kakhulu! Niphila emhlabeni wamahhashi nezinkomo kodwa aninayo inkathazo; nigcwele injabulo futhi niphila ngokukhululeka nakalula. Niyabhukuda niyatshuza kula manzi angcolile kodwa empeleni anazi ukuthi niwele kulezi zimo. Zonke izinsuku uhlangana nemimoya engcolile ube nesivumelwano “nendle.” Impilo yakho isezingeni eliphansi kakhulu, kodwa awuazi nhlobo ukuthi awusaphili emhlabeni wabantu nokuthi impilo yakho ayisekho ezandleni zakho. Awazi ukuthi impilo yakho kade yagxotshwa yimimoya engcolile, nokuthi isimilo sakho kade sangcoliswa ngamanzi anukayo? Ingabe ucabanga ukuthi uphila epharadesi lasemhlabeni, ukuthi uphakathi kwenjabulo? Bewazi yini ukuthi uphile impilo nemimoya engcolile, nokuthi uphile impilo ngayo yonke into oyilungiselelwe yiyona? Impilo yakho ingaba kanjani nokubaluleka? Impilo yakho ingaba kanjani nenani elibalulekile? Selokhu umatasa wehla nenyuka uthunywa ngabazali bakho bemimoya engcolile, kuze kube manje, kodwa awazi ukuthi labo abakuphambayo yiyo leyo mimoya engcolile, abazali bakho abakuzala bakukhulisa. Phezu kwalokho, awazi ukuthi ukungcola kwakho empeleni wakunikezwa yibona; okwaziyo nje ukuthi bangakunikeza “injabulo,” abakukhuzi, futhi abakwahluleli, futhi ke abakuqalekisi. Abakaze babhambaluke ngolaka kinina, kodwa baniphatha kahle nangomusa. Amazwi abo anonophalisa inhliziyo yakho akuthathekise ukuze ukhathazeke ungaboni nokubona, uthunjwa ubhekile futhi uvuma ukuba ubasebenzele, ube yindlela yabo nesisebenzi sabo. Awukhalazi nhlobo kodwa uzimisele ukusetshenziswa yibona—ukhohliswa yibona. Ngenxa yalesi sizathu, awusabeli nakancane ngomsebenzi engiwenzayo—akumangazi ukuthi ufuna ukumonyuluka uphume esandleni Sami, futhi akumangazi ukuthi ngaso sonke isikhathi ufuna ukusebenzisa amazwi amnandi ukuze nithole umusa Wami ngezindlela ezingalungile. Kuvela ukuthi unamanye amacebo, ezinye izinhlelo. Ungabona okuncanyana Kwami, izenzo zikaSomandla, kodwa awazi nokuncane kokwahlulela nokujezisa Kwami. Awazi ukuthi kwaqala nini ukujezisa Kwami; wazi nje kuphela ukungiphanga, kodwa awazi ukuthi angikubekezeleli ukoniwa ngabantu. Njengoba sewuvele uzimisele ukungisebenzela, ngeke ngisakudedela. NginguNkulunkulu ozondayo okubi, nginguNkulunkulu onomhawu ngomuntu. Njengoba sewuvele sewubekile amazwi akho phambi kwe-altare, ngeke ngisabekezelela ukuba usuke phambi kwamehlo Ami, futhi ngeke ngibekezelele ukuba ukhonze amakhosi amabili. Benicabanga ukuthi uzophinde uthande abanye emva kokubeka amazwi akho phambi kwe-altare Lami, emva kokuba uwabeke phambi kwamehlo Ami? Ngingavumela kanjani abantu bangenze isiwula ngaleyo ndlela? Ingabe ucabanga ukuthi ungenza izifungo nje Kimi ngolimi lwakho? Ungafunga kanjani ngesihlalo Sami sobukhosi, Mina Ophakeme Kakhulu? Ingabe ucabanga ukuthi izifungo zakho sezidlulile? Ngiyanitshela, noma inyama yenu ingadlula emhlabeni, izifungo zenu azikwazi ukudlula. Ekugcineni, ngizonilahla ngokusekelwe ezifungweni zenu. Yize noma kunjalo nicabanga ukuthi ningabeka nje amazwi phambi Kwami ukuze nibhekane Nami kanye nokuthi izinhliziyo zenu zingasebenzela imimoya engcolile nemibi. Ulaka Lwami lungabekezelela kanjani abantu abaphila njengezinja, nanjengezingulube abangiphangayo? Kufanele ngiqhube izimemezelo Zami zokuphatha, ngimuke ezandleni zemimoya engcolile bonke labo abazazisayo “abangcwele” abakholwa Kimi ukuze “bangilinde” ngendlela eqoqekile, ukuba babe inkabi Yami, ihhashi Lami futhi babe semseni wokuhlinzwa Yimi. Ngizokusiza ubuyisele lokho kuzimisela kwangaphambili uphinde ungisebenzele futhi. Ngeke ngibekezelele nasiphi na isidalwa ukuba singiphange. Ubucabanga ukuthi ungavele uphonse izicelo noma kanjani uphinde ungiqambele amanga noma yikanjani nje? Ubucabanga ukuthi angizwanga noma angibonanga izenzo zakho? Kungenzeka kanjani ukuthi amagama nezenzo zakho zifihleke emehlweni Ami? Ngingavumela kanjani abantu bangiphange ngaleyo ndlela?

Kucashunwe embhalweni othi “Nonke Nibabi Kakhulu Ngokwesimilo!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

120. Selokhu ngiphakathi kwenu, ngizimatanisa nani izintwasahlobo namakwindla amaningana, ngihlale phakathi kwenu isikhathi eside, ngihlale nani—zingakanani izenzo zenu ezinyanyisayo ezingazange zibonwe amehlo Ami? Lawo mazwi asuka ekujuleni kwenhliziyo alokhu enkenteza ezindlebeni Zami; izigidi nezigidi zezintshisekelo zenu zinekwe phambi kwe-altare Lami—azibaleki nokubaleka. Kodwa ukuzinikela kwenu kanye nalokho enikwenzayo, akukho nokuncane. Akukho ngisho neconsi lokuzithoba elivela kinina e-altare Lami. Ziphi izithelo zokholo lwenu Kimi? Nithole umusa ongenamkhawulo Kimi futhi nibone izimfihlakalo ezingabaleki ezivela ezulwini, futhi ngize nganibonisa namalangabi ezulu angikakabi naso isibindi sokuvuthisa izinhliziyo zenu, kodwa pho nina ninginikezeni njengembuyiselo yalokho? Kungakanani enizimisele ukunginikeza kona? Ubambe ukudla engikunike kona, uyaphenduka ukunikeze Mina, uze uthi kuyizinto ozithole ngenxa yezithukuthuku zomsebenzi wakho onzima, ukuthi unikela konke onakho Kimi. Kungenzeka kanjani ungazi ukuthi “iminikelo” yakho Kimi yizo zonke izinto ezintshontshwe e-altare Lami? Futhi manje sewunikeza Mina lokho—awungiphangi na? Kwenzeka kanjani ukuthi ungazi ukuthi konke lokho engikuthokozelayo namuhla yiminikelo ese-altare Lami, hhayi lokho okuzuzile ngomsebenzi wakho wokuzikhandla wase ukunikela Kimi? Unesibindi sokungiphanga ngale ndlela, pho ngingakuxolela kanjani? Ngingaqhubeka kanjani nokubekezela lokhu? Nginikeze yonke into kuwe. Angikugodlelanga lutho, ngihlinzeke izidingo zakho, futhi ngivule amehlo akho, kodwa noma kunjalo ungiphangile ngale ndlela, waziba unembeza wakho. Ngikuphe konke ngokungazigodleli lutho Kimi, ukuze kuthi noma uhlupheka, ube uthole konke Kimi konke engivela nakho ezulwini. Kodwa akukho ongipha kona nhlobo, yize noma unomnikelo omncanyana, unginikeza emva kwalokho. Ngeke yini umnikelo wakho ube okuthile? Lokho onginikeze kona akulutho ngaphezu kwenhlayiya eyodwa yesihlabathi, kodwa okucele Kimi yizindodla zegolide. Ingabe kufanele ngempela lokhu okwenzayo? Ngisebenza phakathi kwenu. Akukho ngisho namaphesenti ayishumi okufanele ngiwathole, angisakhulumi ngeminikelo eyengeziwe. Phezu kwalokho, lokho okweshumi okubuyiswayo yilabo abangcwele kuphucwa yilabo ababi. Ingabe nonke nisabalele nahlukana Nami? Ingabe nonke aniphikisani Nami? Ingabe ninonke anibhidlizi i-altare Lami? Kungenzeka kanjani ukuthi uhlobo lomuntu olunjena lubonakale njengomcebo emehlweni Ami? Ingabe abazona izingulube, izinja engizinyanyayo?

Kucashunwe embhalweni othi “Nonke Nibabi Kakhulu Ngokwesimilo!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

121. Ziningi izindlela ngaphezu kokuqonda kwenu, ziningi izindaba eningaziqondi. Aninalwazi kabi. Ngisazi kahle isiqu senu kanye namaphutha enu. Ngakho, nakuba emaningi amazwi eningeke nikwazi ukuwabamba, ngisafuna ukunitshela wonke la maqiniso eningakaze niwabambe ngaphambilini—ngoba ngihlala ngikhathazeka ngezinga lesiqu senu samanje, ukuthi niyokwazi yini ukungifakazela. Akusho ukuthi nginibukela phansi. Nonke niyizilwane ezingakaze zingene ekuqeqesheni Kwami okusemthethweni futhi kuyangabazeka ngempela ukuthi ngabe ingakanani inkazimulo ekini. Nakuba ngichithe amandla amakhulu kakhulu ngisebenza Kini, kubonakala sengathi izimpawu ezinhle azibonakali okwempela, lapho izimpawu ezimbi zibaleka ngeminwe futhi zisebenze njengobufakazi bokuhlaza uSathane. Cishe konke okunye kini ngubuthi bukaSathane. Nibukeka kiMina sengathi ngeke kusenzeka ukuba nisindiswe. Ngokuma kwezinto, ngibuka ukukhuluma nokuziphatha kwenu okwehlukene, futhi ekugcineni, sengiyalazi izinga lesiqu senu seqiniso. Yingakho ngilokhu ngikhathazeka ngani: Uma engashiywa ukuze aziphilele ngokwakhe, umuntu angagcina esengcono noma esafana nayikho namuhla? Anikhathazekile yini ngezinga lobungane benu? Ningaba yini ngempela njengabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli, nethembeke Kimi futhi Kimi kuphela ngaphansi kwazo zonke izimo? Lokhu okuvezwa kinina akusikho ukuganga kwezingane ezedukele abazali bazo, kodwa ubulwane obuqubuka ezilwaneni uma zikude nesibhaxu sikamninizo. Kumele niyazi imvelo yenu, okungubuthakathaka eninakho nonke, ukugula kwenu okufanayo. Ngakho, ukuniyala Kwami okukodwa namuhla ukuthi nimele ubufakazi Bami. Ningalokothi kunoma kusiphi isimo, nivumele ukugula kwenu kwakudala kugqamuke futhi. Into ebaluleke kunazo zonke ukunikeza ubufakazi. Leyo yinhliziyo yomsebenzi Wami. Kumele namukele amazwi Ami njengoMariya emukela isambulo sikaJehova esafika kuye ngephupho, ukukholwa bese kuba ukulalela. Yilokhu kuphela okuthathwa ngokuthi ukuba msulwa. Ngokuba inina enizwa amazwi Ami kakhulu, yinina enibusiswe yiMina kakhulu. Ngininika zonke izinto Zami ezibalulekile, nginipha konke ngokuphelele. Izinga lenu nabantu bakwa-Israyeli, nokho, lihlukene kakhulu, njengokuhlukana kwamazwe aqhelelene kakhulu. Kepha, uma niqhathaniswa nabo, namukela okuningi kakhulu. Ngesikhathi belindele ukubonakala Kwami ngokulangazelela okukhulu, nichitha izinsuku ezimnandi Nami, nabelana ngengcebo Yami. Uma kuqhathaniswa, yini eninika ilungelo lokuklabalasa nokuphikisana Nami bese nifuna ingxenye yezinto Zami? Ngabe anitholi okwanele? Ngininika okuningi, kakhulu kodwa ningibuyisela ngenhliziyo enokudabuka nokukhathazeka okukhulu kanye nenzondo nokungeneliseki okungavimbeki. Niyenyanyeka ngokweqile, kepha futhi niyadabukisa, ngakho ngiyaphoqeka ukuthi ngigwinye yonke inzondo Yami bese ngizwakalisa ukukhononda Kwami kini njalo njalo. Kule minyaka eyizinkulungwane eziningi yomsebenzi, angikaze ngiphikise isintu ngaphambili ngoba ngithole ukuthi emlandweni wokuthuthuka kwesintu, yilabo kuphela abakhohlisayo phakathi kwenu abadume kakhulu. Bafana namafa ayigugu, eniwashiyelwe ukhokho odumile wasemandulo. Ngizizonda kabi lezo zingulube nezinja ezingebantu. Aninanembeza kakhulu! Isimilo senu siphansi kakhulu! Izinhliziyo zenu ziqinile kakhulu! Ukuba ngathatha la mazwi Ami kanye nalo msebenzi Wami ngakuyisa kuma-Israyeli, ngabe kade ngathola udumo. Kodwa akunjalo phakathi kwenu. Phakathi kwenu kukhona ukunganakwa okunesihluku, ukudikilwa yinina, kanye nezaba zenu. Aninamizwa kakhulu futhi niyize leze!

Kucashunwe embhalweni othi “Kuthini Ukuqonda Kwakho UNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

122. Cabanga ngesikhathi sakudala: Ngabe ngake ngabuka ngolaka olungaka, futhi nezwi Lami ladlengezela, kini? Ngabe nganicasukela ngokweqile nini? Ngake nginikhuza ngendlela engafanele? Ngake nganikhuza ngqo? Akuve kungenxa yomsebenzi Wami njengoba ngibiza uBaba Wami ukuthi anigcine kuzo zonke izilingo? Kungani nangiphatha ngale ndlela? Ngake ngawasebenzisa amandla Ami ukuze ngishaye inyama yenu? Kungani ningikhokhela ngale ndlela? Emuva kokungivuthela nokubandela, anishisi futhi anibandi, bese nizama ukungikhohlisa nokungifihlela izinto, futhi imilomo yenu igcwele amathe okungalungi. Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungaqola uMoya Wami? Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungaphunyuka olakeni Lwami? Ngabe nicabanga ukuthi ulimi lwenu lungadlula ukwahlulelwa kwezenzo Kimi, uJehova, noma kanjani? Ngabe nginguNkulunkulu owahlulelwa umuntu? Ngingavumela isibungu esincane sihlambalaze Mina ngale ndlela? Ngingawadlulisela kanjani la madodana okungalaleli ezibusisweni Zami zengunaphakade? Amazwi nezenzo zenu sekunidalulile futhi kwanilahla kakhulu. Ngenkathi ngelula amazulu, futhi ngadala zonke izinto, angivumelanga lutho oludaliwe ukuthi luzibandakanye ngendlela oludalwe ngayo, kube angivumelanga lutho ukuthi luphazamise umsebenzi Wami kanye nokuphatha Kwami noma ngabe kanjani. Angamukelanga muntu noma lutho; ngangingabayekelelani labo ababi nabangiphatha ngendlela engenabo ubuntu? Bengingabaxolela kanjani labo abahlubuka emazwini Ami? Bengingabayekela kanjani labo abangangilaleli? Impumelelo yomuntu ayikho ezandleni Zami, uSomandla, yini? Ngingasho kanjani ukuthi ukungalungi nokungalaleli kwenu kungcwele? Izono zenu zingabungcolisa kanjani ubungcwele Bami? Angingcoliswa ukungcola kokungalungi, noma ngabe ngithokozela iminikelo yokungalungi. Ukuba benethembekile Kimi, Jehova, beningazihambisela iminikelo e-altare Lami? Beningasebenzisa ulimi lwenu olugcwele ushevu ukuze nithuke igama Lami elingcwele? Beningahlubuka emazwini Ami ngale ndlela? Beningaphatha ubungcwele Bami kanye negama elingcwele njengethuluzi lokusebenzela uSathane, ongomubi? Impilo yami ihlinzekelwa ukuthokozelwa abantu abangcwele. Bengingakuvumela kanjani ukuthi udlale ngempilo Yami nomakanjani, futhi niyisebenzise njengethuluzi lokuxokozela phakathi kwenu? Ningaba kanjani nenhliziyo embi nengenakulunga, eniyibhekise Kimi? Ngabe anazi ukuthi sengizibhalile izinto ezimbi kula mazwi okuphila? Ningalubalekela kanjani usuku lolaka uma sengisola iGibhithe? Ngingakuvumela kanjani ukuba ungiphikise futhi ungedelele ngale ndlela, kuphindelela? Nginitshela ngokucacile, uma sekufika usuku, ukusolwa kwakho kuyobe kungabekezeleleki kakhulu kunalokho kwaseGibhithe! Ningalubalekela kanjani usuku lolaka Lwami?

Kucashunwe embhalweni othi “Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

123. Umuntu uyehluleka ukuzuza uNkulunkulu hhayi ngoba uNkulunkulu enomuzwa, noma, ngenxa yokuthi uNkulunkulu akazimiselanga ukuzuzwa ngumuntu, kodwa ngoba umuntu akafuni ukuzuza uNkulunkulu, futhi ngoba umuntu akamfuni ngokushesha uNkulunkulu. Kungenzeka kanjani ukuthi omunye walaba abafuna uNkulunkulu ngempela aqalekiswe nguNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi omunye walaba abanomqondo ophusile nonembeza ozwayo aqalekiswe nguNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo okhonza ngeqiniso esebenzela uNkulunkulu ashiswe umlilo wolaka Lwakhe? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ojabulela ukulalela uNkulunkulu akhishelwe ngaphandle kwendlu kaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ongakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokwanele ahlale esijezisweni sikaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi lowo ojabulele ukuyekelela konke kuNkulunkulu asale engenalutho? Umuntu akazimisele ukufuna uNkulunkulu, akazimisele ukuchithela uNkulunkulu impahla yakhe, futhi akazimisele ukunikela umzamo wempilo yakhe yonke kuNkulunkulu, kunalokho uthi uNkulunkulu usegamenxe kakhulu, ukuthi okuningi ngoNkulunkulu kuyangqubuzana nokomqondo womuntu. Ngobuntu obunje, noma ngabe beningagudluki emizamweni yenu beningasoze nizuze ukuvunywa nguNkulunkulu kungasashiwo lutho ngokuthi animfuni uNkulunkulu. Anazi yini ukuthi niyimpahla yesintu enamaphutha? Anazi yini ukuthi abukho ubuntu obuphansi ukwedlula obenu? Anazi yini ukuthi siyini “isikhundla senu sokuhlonishwa”? Labo abathanda uNkulunkulu ngempela bakubiza ngoyise wempisi, unina wempisi, indodana yempisi, umzukulu wempisi; uyisizukulwane sempisi, umuntu wempisi, futhi kufanele uzazi ukuthi ungubani ungabuye ukhohlwe. Ungacabangi ukuthi ungumuntu omkhulu: Niyiqembu elikhohlakele kakhulu labangebona abantu phakathi kwabantu. Awukwazi lokhu? Uyazi ukuthi bengizifake kwengakanani ingozi ngokusebenza phakathi kwenu? Uma ngabe umqondo wakho awusoze wabuyela kojwayelekile, nonembeza wakho ungasebenzi ngokujwayelekile, awusoze wakhululeka-ke egameni “lempisi” ngeke usinde osukwini lwesiqalekiso, ngeke usinde osukwini lwesijeziso sakho. Uzalwe umncane, into engenamsebenzi. Nifana nenqwaba yezimpisi ezilambile, inqwaba yemfucuza nodoti, futhi, angifani nani, angisebenzi kini ukuze ngithole ukusizakala kodwa ngenxa yesidingo somsebenzi. Uma niqhubeka nihlubuka ngale ndlela, ngizomisa umsebenzi Wami, ngingaphinde ngisebenze kinina futhi; okwehlukile, ngizodlulisela umsebenzi Wami kwelinye iqembu elingijabulisayo, bese ngale ndlela, nginishiya unomphelo, ngoba angizimisele ukubheka labo abayizitha Kimi. Ngalokho-ke, niyafisa ukufanelana Nami, noma ukuba nobutha Kimi?

Kucashunwe embhalweni othi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

124. Njengoba uhamba indlela yanamuhla, yiluphi uhlobo lokufuna olufanele kakhulu? Ekufuneni kwakho, kufanele uzibone uyiluphi uhlobo lomuntu? Kufanele wazi ukuthi ungabhekana kanjani nakho konke okukwehlelayo namuhla, noma ngabe yizivivinyo noma ubunzima, noma ukusolwa nokuqalekiswa okunonya. Kufanele ukucabangisise kuzo zonke izimo. Ngikusholoni lokhu? Ngikusho ngoba okukwehlelayo namuhla, empeleni, kuyizivivinyo ezimfushane ezenzeka kaninginingi; mhlawumbe awuzithathi njengezinto ezikhathaza ingqondo, bese uziyeka kanjalo nje, ungazithathi njengento eyigugu ekufuneni kwakho inqubekela phambili. Waze wanganaka! Kuze kufike ezingeni lokuthi ucabanga ngaleli gugu elikhulu sengathi liyifu nje elizula phambi kwamehlo akho, futhi awuwazisi la magalelo anesihluku adamame ehlela kuwe kaningi—amagalelo amafishane, futhi abonakala ethambile kuwe—kodwa uwabuka ngokunganaki, awuwafaki enhliziyweni, uwathatha kalula njengokungqubuzeka okude kwenzeka. Uyazikhukhumeza kakhulu! Ukhombisa ukungabi nandaba nje ngalokhu kuhlaselwa okunesihluku, ukuhlasela okufana nezivunguvungu ezifika kaninginingi; ngezinye izikhathi uze umamatheke ngokungakhathazeki, ukhombisa ukungabi nandaba kuphela—ngoba awukaze ucabange ukuthi kungani ulokhu wehlelwa “yila mashwa.” Ngabe angimzweli kakhulu umuntu? Ngabe ngikuthola unephutha? Nakuba izinkinga ekucabangeni kwakho zingase zingabi zimbi njengoba ngishilo, kade usakhile isithombe sengaphakathi lakho ngendlela oziphatha ngayo ngaphandle. Akunasidingo sokuba ngikutshele ukuthi into eyodwa ecashe ekujuleni kwenhliziyo yakho wukusola okubi nezimpawu ezifiphele zosizi eziciche zingabonakali kwabanye. Ngenxa yokuthi uzwa ukuthi bekungafanele ukuba wehlelwe ukuvivinywa okunjalo, uyaqalekisa; izivivinyo zikwenza uzwe incithakalo yomhlaba, futhi ngenxa yalokhu, ugcwala usizi. Esikhundleni sokuthi ubuke la magalelo nokuqondiswa okuphindaphindekayo njengokuvikelwa okuhle kakhulu, ukubona njengenkinga engenamqondo edalwa yiZulu, noma-ke njengempindiselo efanele ephezu kwakho. Awazi lutho kakhulu! Uvalela izikhathi ezinhle ebumnyameni ngokungenaluzwelo; kaninginingi, ubona izivivinyo ezimangalisayo nokuqondiswa kuwukuhlasela okuvela ezitheni zakho. Awukwazi ukwamukela isimo sakho; ingasaphathwa eyokuzimisela ukuthi wenze lokho, ngoba awuzimisele ukuzuza lutho kulokhu kusolwa okuphindaphindayo—futhi, ngokwakho, okunonya. Awenzi mzamo wokufuna noma ukuhlola, futhi uvele uvumele okwenzekayo kwenzeke nje, uye lapho kukuholela khona. Lokho okubona kuwukusolwa okunesihluku akuyiguqulile inhliziyo yakho, futhi, akuyizuzile inhliziyo yakho; kunalokho, kukuhlaba enhliziyweni. Kuphela nje ubona lokhu “kusolwa okunonya” njengesitha sakho kulokhu kuphila, futhi awuzuze lutho. Uzibona ulunge kakhulu! Kuyethukela nje ukuthi ukholwe ukuthi wehlelwa yilokhu kuvivinywa ngoba wenyanyeka kakhulu; kunalokho, uzibona uneshwa kakhulu, futhi uthi ngihlala ngithola iphutha kuwe. Namuhla, lungakanani ulwazi onalo ngempela ngalokho engikushoyo nengikwenzayo? Ungacabangi ukuthi uphiwe ngokwemvelo, ungaphansi kancane nje kwamazulu kodwa ungaphezulu kakhulu komhlaba. Awuhlakaniphile kunabo bonke abanye abantu—futhi bekungashiwo ukuthi uyisiwula ngokuqaphelekayo kunabo bonke abanye abantu abanomqondo emhlabeni, ngoba uzibona uphakeme kakhulu, futhi awukaze uzizwe umncane; kubonakala sengathi ubona izenzo Zami zincane kakhulu. Empeleni, ungumuntu oswele umqondo kakhulu, ngoba awukwazi nhlobo engikwenzayo, ingasaphathwa eyokwazi ukuthi ngenzani manje. Kungakho ngithi awulingani ngisho nomlimi osebenza emasimini, umlimi ongenalo noluncane ulwazi ngokuphila komuntu kodwa ebe encike ezibusisweni zezulu ngenkathi elima. Awucabangisisi ngokuphila kwakho, awazi lutho ngokwaziwa, ingasaphathwa eyokuzazi wena. “Uphakeme” kakhulu!

Kucashunwe embhalweni othi “Labo Abangafundi Futhi Abahlala Bengazi Lutho: Abazona Yini Izilwane?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

125. Abanye bagqoka kahle, kodwa ngokungenasithunzi: Abesifazane bazihlobisa kahle njengezimbali, abesilisa bona bagqoka njengamakhosana noma amagcokama amasha acebileyo. Banaka kuphela izinto ezingaphandle, njengezinto abazidlayo nabazigqokayo; ngaphakathi, bayantula futhi abamazi nakancane uNkulunkulu. Uphi umqondo kulokhu? Kukhona futhi nabanye abagqoka njengezinxibi ezihluphekayo—babukeka njengezigqila zaseMpumalanga Asia ngempela! Anikuqondi ngempela engikucela kini? Xoxani ngalokhu: Yini eniyizuzile ngempela? Senikholwe kuNkulunkulu yonke le minyaka, kodwa nivune lokhu kuphela—anizizwa niphoxekile? Aninamahloni? Benifuna indlela eyiqiniso yonke le minyaka, kodwa nanamuhla isiqu senu sisengaphansi ngisho kwesespero! Bukani izintombi lapha phakathi kwenu, ningophuma langa sikothe ezingutsheni zenu nokuziphophotha kwenu, niyaqhathanisana—empeleni niqhathanisani? Injabulo yenu? Izimfuno zenu? Nicabanga ukuthi ngizele ukuzoqasha abakhangisi? Aninamahloni! Kuphi ukuphila kwenu? Ingabe lokhu enikufunayo akuzona izifiso zenu ezingaphezu kwenikudingayo? Ucabanga ukuthi umuhle kakhulu, kodwa nakuba ugqoke uconsa, eqinisweni awuyona nje impethu eshobashobayo, ezalelwe engqumbini yobulongwe? Namuhla, unenhlanhla yokuthokozela lezi zibusiso zasezulwini, hhayi ngenxa yobuso bakho obuhle, kodwa ngoba uNkulunkulu wenza isihe ngokukuphakamisa. Ingabe akukakucaceli ukuthi usuka kuphi? Lapho kukhulunywa ngokuphila, uvala umlomo wakho ungasho lutho, ube yisimungulu njengesithombe, nokho usenesibindi sokuswenka! Usathanda ukuziphophotha! Bhekani futhi oswenka phakathi kwenu, amagcokama enza akuthandayo achitha usuku lonke ethilileka, edlokovula, enobuso obunganaki lutho. Ingabe umuntu kufanele aziphathe kanje? Yini phakathi kwenu, madoda noma abesifazane, eniyinaka usuku lonke? Niyazi yini ukuthi nithembele kubani ukuze nizondle? Bheka izingubo zakho, bheka okuvunile ezandleni zakho, phulula isisu sakho—yini oyizuzile ngokuzikhandla kanzima kuyo yonke le minyaka yokukholwa? Usacabanga ukuphuma ubuke izwe, usacabanga ukuhlobisa inyama yakho enukayo—izinto ezingasho lutho! Ucelwa ukuthi ube ngumuntu onobuntu obuvamile, kodwa awugcini nje ngokuba umuntu ongavamile, uyaphambuka. Umuntu onjalo angasithathaphi isibindi sokuza phambi Kwami? Uma unobuntu obunjengalobu, ubukisa ngobuhle bakho futhi ugabisa ngenyama yakho, uphila enkanukweni yenyama—ngabe awuyona inzalo yamadimoni angcolile nemimoya emibi? Ngeke ngivumele amadimoni angcole kanjalo ukuthi aphile isikhathi eside! Futhi ungacabangi ukuthi angikwazi okucabangayo enhliziyweni yakho. Ungayibamba inkanuko nenyama yakho, kodwa kungenzeka kanjani ukuthi ngingayazi imicabango oyivalele enhliziyweni yakho? Kungenzeka kanjani ukuthi ngingakwazi okufiswa ngamehlo akho? Ingabe nina zintombi anizilungisi nibe bahle kangaka ukuze nibukise ngenyama yenu? Abaluleke ngani amadoda kinina? Anganisindisa ngempela olwandle lwenhlupheko? Nina-ke magcokama aphakathi kwenu, nonke nigqokela ukuba nibonakale nihloniphekile futhi nibalulekile, kodwa ingabe lokhu akulona icebo enilenzela ukuba kunakwe ukubukeka kwenu okuhle kakhulu? Nikwenzela bani lokhu? Babaluleke ngani abesifazane kinina? Abawona yini umsuka wesono senu? Madoda nabesifazane, sengisho amazwi amaningi kini, kodwa nisahambisane nambalwa kakhulu kuwo. Izindlebe zenu azizwa kahle, amehlo enu afiphele, nezinhliziyo zenu ziqine kangangokuthi akukho okukhona emizimbeni yenu ngaphandle kwenkanuko, kangangokuthi nibanjwe yiyo, anikwazi ukuphunyuka. Ngubani ofuna ukusondela kinina zimpethu, nina enishobashobeka ekungcoleni nasensileni? Ningakhohlwa ukuthi akukho eniyikho ngaphezu kokuba yilabo engibakhiphe engqumbini yobulongwe, ukuthi naningenabo ubuntu obuvamile ekuqaleni. Engikucela kinina ukuba nibe nobuntu obuvamile ebeningenabo ekuqaleni, hhayi ukuba nibukise ngenkanuko yenu noma nidedele inyama yenu enukayo yenze umathanda, inyama eqeqeshwe ngudeveli iminyaka eminingi kakhulu. Lapho nigqoka kanje, anesabi yini ukuthi niyohileleka ngokujule ngokwengeziwe? Anazi yini ukuthi naningabesono kwasekuqaleni? Anazi yini ukuthi imizimba yenu igcwele inkanuko kakhulu kangangokuba inkanuko ize iphumele ngaphandle kwezingubo zenu, iveze izimo zenu njengamadimoni amabi futhi angcole ngokungabekezeleleki? Akulona yini iqiniso ukuthi lokhu nikwazi ngokucace kunabo bonke abanye abantu? Izinhliziyo zenu, amehlo enu, izindebe zenu—ingabe konke akungcolisiwe amadimoni angcolile? Ngabe lezi zingxenye zakho azingcolile? Ucabanga ukuthi uma nje ungenzi lutho, kusho ukuthi ungcwele kakhulu? Ucabanga ukuthi ukugqoka izingubo ezinhle kungafihla imiphefumulo yenu engcolile? Lokho ngeke kusebenze! Ngineluleka ukuba nikubuke ngokuyikho: ningabi nokukhohlisa nokuzenzisa, futhi ningazigabisi. Nigabiselana ngenkanuko yenu, kodwa konke enizokuthola njengembuyiselo ukuhlupheka okungapheli nokushaywa okungenasihawu! Sikuphi isidingo sokuba niqwayizelane amehlo futhi nizitike ngokuthandana? Ngabe lokhu kukhombisa izinga lobuqotho benu, iqophelo lokulunga kwenu? Ngiyabenyanya labo phakathi kwenu abasebenzisa amakhambi amabi nobuthakathi; ngiyazenyanya izintombi nezinsizwa phakathi kwenu ezithanda inyama yazo. Kungcono nizithibe, ngoba manje kudingeka ukuba nibe nobuntu obuvamile, futhi anivunyelwe ukubukisa ngenkanuko yenu—kodwa nisebenzisa lonke ithuba enilitholayo, ngoba inyama yenu iningi ngokwedlulele, nenkanuko yenu inkulu ngokwedlulele!

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

126. Labo abacabangela inyama yabo kuphela futhi abathokozela ukunethezeka; labo ababonakala sengathi bayakholwa kodwa empeleni bengakholwa; labo abasebenzisa imithi yokwenza okubi nabathakathayo; labo abangenazimilo, abamanikiniki nabamahlimbihlimbi; labo abantshontsha iminikelo kaJehova nezimpahla Zakhe; labo abathanda ukugwazelwa; labo abaphupha ngokuvilapha ngokwenyukela ezulwini; labo abazidlayo nabaziqhenyayo, abalwela udumo nomcebo kuphela; labo abasabalalisa amazwi okwedelela; labo abahlambalaza uNkulunkulu uqobo Lwakhe; labo abangenzi lutho ngaphandle kokwahlulela futhi banyundele uNkulunkulu uqobo Lwakhe; labo abakha amaqenjana bese befuna ukuzimela; labo abaziphakamisa ngaphezu kukaNkulunkulu; abesilisa nabesifazane abasha, abaphakathi nendawo nabadala abathanda izinto ezingenamsebenzi ababambeke ekonakaleni; lawo madoda nabesifazane abathokozela udumo nomcebo futhi abafuna ukugqama phakathi kwabanye; labo bantu abangaphenduki ababambeke esonweni—ngabe bonke, abayibona yini abangasindiseki? Ukonakala, ukuba nezono, imithi yobubi, ubuthakathi, namazwi okwedelela konke kuyadlokovula phakathi kwenu; neqiniso namazwi okuphila ayanyathelwa phakathi kwenu, futhi ulimi olungcwele luyangcoliswa phakathi kwenu. Nina bantu bezizwe, eniqumbile ngenxa yokungcola nokungalaleli! Siyoba yini isiphetho senu? Kwenzeka kanjani ukuthi labo abathanda inyama, abathakatha inyama, nalabo ababambeke esonweni sokonakala babe nesibindi sokuqhubeka baphile! Anazi yini ukuthi abantu abanjengani bayizimpethu ezingenakusindiswa? Yini eninika ilungelo lokufuna lokhu nalokhuya? Kuze kube namuhla, akukaze kube ngisho noluncane uguquko kulabo abangalithandi iqiniso futhi abathanda inyama kuphela—bangasindiswa kanjani abantu abanjalo? Labo abangayithandi indlela yokuphila, abangamphakamisi uNkulunkulu futhi bamfakazele, abakha amacebo ukuze bathole izikhundla, abazidumisayo—abanjalo nanamuhla? Kubaluleke ngani ukubasindisa? Ukusindiswa kwakho akuncikile ekuphakameni kwesikhundla sakho noma enanini leminyaka osuyisebenzile, ingasaphathwa eyokuncika emagameni osuwakhile. Kunalokho, kuncike ekuthini ukufuna kwakho kube nemiphumela yini. Kufanele wazi ukuthi labo abasindisiwe “bayimithi” ethela izithelo, hhayi imithi enamahlamvu nezimbali eziningi kodwa engatheli zithelo. Ngisho ngabe usuchithe iminyaka eminingi uzula emigwaqeni, kubaluleke ngani lokho? Buphi ubufakazi bakho? Ukuhlonipha kwakho uNkulunkulu kuncane kakhulu kunokuzithanda kwakho nezinkanuko zakho—ngabe lolu hlobo lomuntu alusona yini isonakali? Kungenzeka kanjani ukuthi abe yisibonelo nezifanekiso zabokusindiswa? Imvelo yakho ayilungiseki, uhlubuka ngokwedlulele, awusindiseki! Abantu abanjalo akubona yini abayosuswa? Ingabe isikhathi okuyophela ngaso umsebenzi Wami akusona isikhathi sokufika kosuku lwakho lokugcina? Sengenze umsebenzi omningi kakhulu futhi ngakhuluma amazwi amaningi kakhulu phakathi kwenu—kungakanani kukho enikuzwile? Kungakanani kukho enikulalelile? Lapho umsebenzi wami ufika ekugcineni, leso kuyoba yisikhathi oyogcina ngaso ukungiphikisa, lapho uyoyeka khona ukumelana Nami. Ngenkathi ngisebenza, niphikisana Nami njalo; anize ningahambisana namazwi Ami. Ngenza umsebenzi Wami, futhi wena wenza owakho “umsebenzi,” wenza owakho umbuso omncane. Akukho eniyikho ngaphandle kokuba umhlambi wezimpungushe nezinja, nenza konke okungiphikisayo! Nihlala nizama ukusingatha labo abanithanda ngokuphelele—kuphi ukuhlonipha kwenu! Konke enikwenzayo kunenkohliso! Anilaleli futhi aninanhlonipho, futhi konke enikwenzayo kuyakhohlisa futhi kuyahlambalaza! Bangasindiswa abantu abanjalo? Abantu abaziphatha kabi ngokocansi nabahlala benenkanuko bahlala befuna ukudonsela kubo izifebe ezihungulayo ukuze bazithokozise bona. Ngeke ngiwasindise nhlobo la madimoni aziphatha kabi ngokocansi. Ngiyanizonda madimoni angcolile, futhi ukonakala nokuhungula kwenu kuyoniphonsa esihogweni. Yini eningayisho ngalokhu? Nina madimoni amabi nemimoya emibi niyenyanyisa! Niyacasula! Ungasindiswa kanjani udoti onjalo? Bangasindiswa yini bonke ababambeke esonweni? Namuhla, leli qiniso, le ndlela, nalokhu kuphila akukudonsi; kunalokho, udonsekela esonweni; emalini; egameni, ekudumeni nasekuzuzeni; ekuthokozeni ngokwenyama; ebuhleni bamadoda nasekuthandekeni kwabesifazane. Yini enenza nifanele ukungena embusweni Wami? Isiqu senu sikhulu ngisho kunesikaNkulunkulu, isikhundla sakho singaphezulu ngisho kunesikaNkulunkulu, ingasaphathwa eyesithunzi sakho phakathi kwabantu—seniyizithixo ezikhonzwa ngabantu. Ingabe usuyingelosi enkulu? Lapho kwembulwa iziphetho zabantu, okuyisikhathi futhi lapho umsebenzi wokusindisa uyobe ususondela esiphethweni, abaningi phakathi kwenu bayoba yizidumbu ezingeke zisasindiswa futhi okuyofuneka basuswe.

Kucashunwe embhalweni othi “Ukwenza (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

127. Kungashiwo ukuthi bayizihlupheki ezingenamsebenzi ngoba abazazisi bona. Uma bengazithandi kwabona, kodwa bezinyathela bona, ingabe lokhu akukhombisi ukuthi abanamsebenzi walutho? Isintu sinjengowesifazane ongenasimilo odlala imidlalo ngobuyena futhi azinikele kwabanye ukuze anukubezwe. Kodwa, noma kunjalo, basaqhubeka nokungazi ukuthi baphansi kangakanani. Bajabulela ukusebenzela abanye abantu, noma ekukhulumeni nabanye, ukuzibeka ngaphansi kokulawulwa ngabanye abantu; lokhu akukhona ukungcola kwangempela kwesintu? Noma ngingaphilanga impilo phakathi kwesintu, njengoba ngingayiphilanga ngempela impilo yabantu, nginokuqonda okucacile ngakho konke ukunyakaza, sonke isenzo, lonke izwi nazo zonke izenzo zesintu. Ngikwazi ngisho ukuvezela abantu ihlazo labo elijulile, kuze kufike eqophelweni lokuthi bangalingi bakhombise amaqhinga abo futhi bangaphindi bavumele izinkanuko zabo. Njengomnenke ohoshekela egobongweni lawo, abasalingi baveze isimo sabo esibi. Ngenxa yokuthi isintu asizazi, ubuthakathaka baso obukhulu ngukuveza obala amathonya abo phambi kwabanye, bekhombisa ubuso babo obubi; yilokhu uNkulunkulu akwenyanya kakhulu. Ngenxa yokuthi ubudlelwano phakathi kwabantu abubuhle, futhi abukho ubudlelwano bokuphilisana obejwayelekile phakathi kwabantu, ingasaphathwa eyobudlelwane obujwayelekile phakathi kwabo noNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Isahluko 14” sengxenye ethi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

129. Imvelo yomuntu yehluke ngokuphelele engqikithini Yami, ngokuba imvelo yomuntu ekhohlakele yonke ivela kuSathane; imvelo yomuntu isetshenzwe yabuyei yakhohlakaliswa uSathane. Okuwukuthi, umuntu uphila ngaphansi kwethonya elibi kanye nobubi bukaSathane. Umuntu akakhuleli ezweni leqiniso noma endaweni engcwele, futhi kuncane ukuphila komuntu ekukhanyeni. Ngakho-ke, akunakwenzeka ukuba noma ngubani abe neqiniso emvelweni yakhe kusuka ezalwa, futhi mancane ngokwengeziwe amathuba okuba azalwe enengqikithi eyesaba futhi elalela uNkulunkulu. Kunalokho, abantu banemvelo emelana noNkulunkulu, engalaleli uNkulunkulu, futhi engalithandi iqiniso. Le mvelo iyinkinga engifuna ukukhuluma ngayo—ukukhaphela.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

130. Ukuziphatha okungangilaleli ngokuphelele kuwukukhaphela. Ukuziphatha okungakwazi ukwethembeka Kimi kuwukukhaphela. Ukungikhohlisa nokusebenzisa amanga ukuze ungikhohlise kuwukukhaphela. Ukuba nemibono eminingi nokuyisabalalisa yonke indawo kuwukukhaphela. Ukungasekeli ubufakazi Bami nalokho engikuthandayo kuwukukhaphela. Ukumamatheka ngokuzenzisa lapho umuntu ekude Nami ngenhliziyo kuwukhaphela. Zonke lezi yizenzo zokukhaphela, ebenihlala nikwazi ukuzenza, futhi zivamile phakathi kwenu. Akekho kinina ongacabanga ukuthi lokhu kuyinkinga, kodwa Mina angicabangi kanjalo. Ngeke ngithathe ukungikhaphela komuntu njengendaba engasho lutho, futhi ngokuqinisekile, ngeke ngikuzibe. Manje, lapho ngisebenza phakathi kwenu, niziphatha ngale ndlela—uma kufika usuku lapho kungasekho ozonibheka, nonke ngeke yini nibe yizephulamthetho ezizibeke zaba amakhosi? Lapho kwenzeka lokho, bese nidala inhlekelele, ubani ozohlanza umonakalo eniwenzile? Nicabanga ukuthi ezinye izenzo zokukhaphela ziyizinto nje zangaleso sikhathi, kunokuba ukuziphatha okuphikelelayo, futhi azifanele nokuthi kuxoxwe ngazo kakhulu kangako, ngendlela enehlisayo. Uma nicabanga kanjalo ngempela, khona-ke nintula ukuqonda. Ukucabanga kanjalo ukuba yisibonelo nomfuziselo wokuhlubuka. Imvelo yomuntu iwukuphila kwakhe; iyisimiso athembela kuso ukuze aphile, futhi akakwazi ukusiguqula. Imvelo yokukhaphela iyefana—uma ungenza okuthile ukuze ukhaphele isihlobo noma umngani, kukhombisa ukuthi kuyingxenye yokuphila kwakho futhi kuyimvelo owazalwa nayo. Lokhu kuyinto okungekho muntu ongayiphika.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

131. Noma ubani angasebenzisa amazwi akhe nezenzo zakhe ukumela ubuso bakhe bangempela. Lobu buso bakhe bangempela, empeleni, buyimvelo yakhe. Uma ungumuntu okhuluma ngokugwegwesa, khona-ke unemvelo engaqondile. Uma imvelo yakho inobuqili, khona-ke indlela owenza ngayo izinto iba nobugebengu, futhi ukwenza kube lula ukuthi ubakhohlise. Uma imvelo yakho iyimbi, kungenzeka amazwi akho ezwakale emnandi, kodwa izenzo zakho ngeke zifihle amaqhinga akho amabi. Uma imvelo yakho inokuvilapha, khona-ke konke okushoyo kuyoba okuhlose ukugwema ukubhekana nomthwalo wokwenza kwakho ngokugcina icala kanye nobuvila, futhi izenzo zakho ziyohamba kancane nangokuzihudula, futhi uyoba nekhono kakhulu ekufihleni iqiniso. Uma imvelo yakho inozwelo, khona-ke amazwi akho azoba nokucabangela, futhi izenzo zakho, nazo ziyovumelana kahle neqiniso. Uma imvelo yakho inokwethembeka, khona-ke amazwi akho nakanjani azoba qotho futhi indlela owenza ngayo izinto izoba nesisekelo, ingabi nalutho olungenza inkosi yakho ingakhululeki. Uma imvelo yakho inenkanuko noma ihahela imali, khona-ke inhliziyo yakho iyovama ukugcwaliswa yilezi zinto, futhi uyokwenza izinto eziphambukile, nezinokungcola, ungaqondile, okuyokwenza abantu bangazikhohlwa kalula neziyokwenyanyisa abantu. Njengoba ngishilo, uma unemvelo yokukhaphela, khona-ke kuyoba nzima kuwe ukuzikhulula kuyo. Ungathembeli enhlanhleni yokuthi uma ungakaze wone muntu, awunayo imvelo yokukhaphela. Uma kuyilokho okucabangayo-ke, ngokuqinisekile, uyavukela. Onke amazwi Ami, njalo lapho ngikhuluma, aqondiswe kubo bonke abantu, hhayi nje kumuntu oyedwa noma ohlotsheni lomuntu olulodwa. Ngenxa nje yokuthi awungikhaphelile odabeni olulodwa akusho ukuthi ngeke ungikhaphele kolunye udaba. Ngenkathi befuna iqiniso, abanye abantu balahlekelwa ukuzethemba lapho kuvela izimbuyiselamuva emshadweni wabo. Abanye abantu bashiya isibopho sabo sokwethembeka Kimi ngesikhathi sokubhidlika komndeni. Abanye abantu bayangishiya ukuze bayofuna injabulo nesasasa lesikhashana. Abanye abantu bangamane bangene eweni elimnyama kunokuba baphile ekukhanyeni futhi bathole intokozo yomsebenzi kaMoya oNgcwele. Abanye abantu abasinaki iseluleko sabangani ngenxa yokuthi bafuna ukwanelisa ukuhahela kwabo umcebo, futhi namanje abawavumi amaphutha abo bese beguquka. Abanye abantu baphila isikhashana kuphela ngaphansi kwegama Lami ukuze bathole ukuvikela Kwami, ngesikhathi abanye bezinikela kancane kuphela Kimi ngokuphoqeleleka ngoba bebambelele ekuphileni futhi besaba ukufa. Ingabe lezi kanye nezinye izenzo zokuziphatha kabi kanye, nokungaphezu kwalokho, nezenzo ezingahlonipheki aziyikho ukuziphatha abantu okukade bangikhaphela ngazo ekujuleni kwezinhliziyo zabo? Impela, ngiyazi ukuthi abantu abakuhleli ngaphambili ukungikhaphela; ukukhaphela kwabo kuwukwambula imvelo yabo ngokwemvelo. Akekho umuntu ofuna ukungikhaphela, futhi akekho ojabulayo ngenxa yokuthi wenze okuthile ukuze angikhaphele. Kunalokho, bayathuthumela ngokwesaba, abanjalo? Ngakho, ingabe nicabanga ngokuthi ningakubuyisa kanjani lokhu kukhaphela, nokuthi ningasiguqula kanjani isimo samanje?

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

132. Nahlukaniswa nodaka futhi nakunoma yisiphi isilinganiso, nakhethwa enhleseni, ningcolile futhi nizondwa uNkulunkulu. Nina beningabakaSathane futhi naninyatheliwe ningcoliswe nguye. Ingakho kuthiwa nahlukaniswa nodaka, futhi aningcwele, kodwa kunalokho niyizinto ezingebona abantu lokho okwadala ukuba uSathane anenze iziwula. Lena iyona ncazelo efaneleke kakhulu kinina. Kumele nibone ukuthi ningukungcola okutholakala emanzini amile nasodakeni, kunodobo olufiswayo olufana nezinhlanzi nezimfazi, ayikho intokozo engatholakala kunina. Ukukubeka ngokusobala, niyizilwane ezingcole kakhulu emphakathini ophansi, ezimbi kakhulu kunezingulube nezinja. Ukubeka ngokusobala, ukunibiza ngala magama akusikho ukwandisa noma ihaba, kepha kuyindlela yokwenza lula udaba. Ukukhuluma nawe ngale migomo empeleni kuyindlela yokukuhlonipha. Ukuqonda kwakho, inkulumo, ukuziphatha “njengabantu” nazo zonke izinto empilweni yenu okuhlanganisa nesimo senu odakeni kwanele ukufakazela ukuba lokhu oyikho “kuyinto engavamile.”

Kucashunwe embhalweni othi “Ubunjalo Bomuntu Bemvelo Nokufaneleka Kwakhe: Kuyini?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

133. Umuntu uyena oyisitha Sami. Umuntu nguye omubi omelene Nami nongangilaleli. Umuntu uyena oyinzalo yomubi, lowo oqalekisiwe Yimi. Umuntu uyena isizukulwane sengilosi enkulu eyangikhaphela. Umuntu uyifa likasathane ebeselivele lenyanyeka lalahlwa Yimi futhi langqubuzana Nami. Isibhakabhaka esiphezu kwabo bonke abantu sihwaqabele futhi simnyama seswele ngisho ukulokoza kokucwengeka. Umhlaba womuntu usebumnyameni obumnyama, futhi uma ehlala kubo angebone ngisho isandla sakhe uma uselula phambi kwakhe futhi angeke alibone ilanga lapho ephakamisa ikhanda lakhe. Indlela ngaphansi kwezinyawo zakhe inodaka futhi ivame ngemigodi, futhi imazombe, iyazungeleza; izwe lonke lingcoliswe yizidumbu. Amakhona asebumnyameni agcwele izinsalela zabafileyo. Amakhona apholile namnyama agcwele uquqaba lwamademoni azulayo efuna ukuhlala kuwo. Esikhathini sonke sabantu amademoni azulayo ayafika ahambe. Inzalo yezilwane eziningi ezihaqwe ukungcola ziyalwa ngokubambisana, kumshikashika ononya, umsindo wazo ovusa uvalo enhliziyweni. Ezikhathini ezinjalo, emhlabeni onjalo, “nepharadesi lasemhlabeni” elinjalo, uya kuphi umuntu ukuyofuna izibusiso zempilo? Uya kuphi ukuyofuna ukuphela kwempilo? Abantu kade benyathelwa ngaphansi kwezinyawo zikaSathane, belingisa umfanekiso kaSathane futhi behlanganiswa nawo. Bayisiqiniseko sokuba “ofakazi abezwakala kahle” bakaSathane. Abantu abanjalo, amakhoba, noma inzalo enjalo yalo mndeni wabantu okhohlakele, bangamfakazela kanjani uNkulunkulu? Ivela kuphi inkazimulo Yami? Uphi ufakazi Wami? Isitha esimelene Nami futhi esonakalisa abantu sesimngcolisile umuntu, indalo Yami, egcwele inkazimulo Yami nokuphila ngendlela Yami. Sintshontshe inkazimulo Yami, nalokho esikufake kumuntu ushevu kuphela oboshwe kakhulu ngobubi bukaSathane nojuzi ovela esithelweni somuthi wokwazi okuhle nokubi.

Kucashunwe embhalweni othi “Okushiwo Ukuba Umuntu Woqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

134. Iminyaka eminingi yezenzo phambi Kwami Mina inginike impendulo engingakaze ngiyithole ngaphambili. Futhi umbuzo kulempendulo uthi: “Ingabe uyini umqondo womuntu phambi kweqiniso noNkulunkulu weqiniso?” Imizamo Mina engiyichithe ngomuntu, ifakazela ubukhona bokumthanda Kwami umuntu, kanti nezenzo nokwenza komuntu phambi kobuso Bami, kufakazele ubukhona bokuzonda iqiniso nokumelana Kwami nomuntu. Ngaso sonke isikhathi Mina ngikhathalela bonke abangilandelayo, kodwa asikho isikhathi lapho labo abangilandelayo bekwazi khona ukwemukela izwi Lami; behluleke bancama ukwemukela ngisho iziphakamiso ezivela Kimi. Yikho okungidumaza kakhulu kunako konke. Akekho namunye okwazi ukungiqonda Mina, nangaphezu kwalokho, akekho namunye okwazi ukungemukela, ngisho nakuba isimo sengqondo Yami ngabo siqotho namazwi Ami emnene. Wonke umuntu uzama ukwenza umsebenzi abawunikezwe Yimi ngokuhambisana nemiqondo yabo; abafuni nezinhloso Zami, ingasaphathwa eyokuthi babuze izicelo Zami. Basazitshela ukuthi bangisebenzela ngokuthembeka, kodwa bebe bengivukela. Abaningi bakholelwa ukuthi amaqiniso angemukeleki kubo noma lawo abangeke bawenze akuwona amaqiniso. Kulaba bantu abanje, amaqiniso Ami aphenduka abe yinto yokuphikwa futhi ashaywe indiva anganakwa. Ngesikhathi esifanayo, Mina ngibe sengiphenduka lowo otuswa ngumuntu ngomlomo njengoNkulunkulu, kodwa ngibuye ngithathwe njengowangaphandle ongelona iqiniso, indlela, noma ukuphila. Akekho owazi leli qiniso: Amazwi Ami aliqiniso elingasoze laguquka naphakade. Ngiyilowo onikeza ukuphila kumuntu futhi Yimi kuphela oqondisa isintu. Ukubaluleka kanye nencazelo yamazwi Ami akuncikile ekutheni, ngabe ayemukeleka noma ayemukelwa yisintu, kodwa ngobukhona bamazwi Ami uqobo. Noma ngabe akukho namunye umuntu kulomhlaba ongawemukela amazwi Ami, isisindo samazwi Ami kanye nosizo lwawo esintwini alusoze lwalinganiswa muntu. Ngakho-ke, uma Mina ngibhekene nabantu abaningi abangivukelayo, abangiphikayo, noma labo abawedelelayo amazwi Ami, isinqumo sami sithi: Makuthi isikhathi kanye namaqiniso abe ngofakazi Bami futhi akhombise ukuthi amazwi Ami aliqiniso, indlela kanye nokuphila. Makakhombise ukuthi konke engikushilo kulungile, nokuthi ayilokho umuntu okumele agcwaliswe yikho, kanye, nangaphezu kwalokho, lokho umuntu okumele akwemukele. Ngiyovumela bonke labo abangilandelayo bazi leliqiniso: Labo abangakwazi ukwemukela amazwi Ami ngokugcwele, labo abangakwazi ukwenza amazwi Ami, labo abangakwazi ukuthola inhloso emazwini Ami, kanye nalabo abangakwazi ukuthola insindiso ngenxa yamazwi Ami, yilabo abahlulelwe ngamazwi Ami, futhi, ngaphezu kwalokho, abalahlekelwe yinsindiso Yami kanti nentonga Yami ayisoze yasuka kubo.

Kucashunwe embhalweni othi “Kumele Ubhekisise Izenzo Zakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Ukubuyela ogwini: Yisisho saseShayina esisho “ukuphenduka ezindleleni ezimbi.”

b. umbhalo wokuqala awunawo amagama athi “Ngale ndlela.”

Okwedlule: A. Amazwi Ngokwembula Indlela USathane Akhohlakalisa Ngayo Isintu

Okulandelayo: C. Ngenkathi Yombuso—Inkathi Yokugcina

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp