3. Inhloso Nokubaluleka Kwaleso Naleso Sezigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, futhi okwakuyindawo engcwele ayekhona kuyo. Wawugcina umsebenzi wakhe ukubantu bakwa-Israyeli kuphela. Ekuqaleni, akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli, kodwa kunalokho, wakhetha abantu abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. Kwa-Israyeli yindawo lapho uNkulunkulu adala khona u-Adamu no-Eva, futhi ngothuli lwaleyo ndawo, uJehova wenza umuntu; le ndawo yaba yisizinda somsebenzi Wakhe emhlabeni. Abakwa-Israyeli, ababeyinzalo kaNowa babeyinzalo ka-Adamu futhi, babeyisisekelo esingabantu somsebenzi kaJehova emhlabeni.

Ngalesi sikhathi, ukubaluleka, inhloso, kanye nezigaba zomsebenzi kaJehova kwa-Israyeli kwakungukuqala umsebenzi Wakhe emhlabeni wonke, okwathi, uthatha u-Israyeli njengesizinda sawo, waya ngokuya wandela kwabeZizwe. Lesi yisimiso asebenza ngaso emhlabeni wonke jikelele—ukwakha isibonelo bese esandisa baze bonke abantu emhlabeni jikelele balemukele ivangeli Lakhe. Ama-Israyeli okuqala kwakuyinzalo kaNowa. Labo bantu babefakwe kuphela umphefumulo kaJehova futhi babeqonda ngokwenele ukunakekela izidingo eziyisisekelo zempilo, kodwa babengamazi ukuthi uyinhloboni kaNkulunkulu uJehova, noma isifiso Sakhe ngomuntu futhi bengayazi intando yakhe ngomuntu, ingasaphathwa eyokwazi ngisho ukuthi kufanele bayihloniphe kanjani iNkosi yendalo yonke. Okokuthi yayikhona imigomo nemithetho okwakufanele ilalelwe[a], noma ukuthi imuphi umsebenzi izidalwa okufanele ziwenzele uMdali, inzalo ka-Adamu yayingazi lutho ngalezi zinto. Konke ababekwazi nje ukuthi umyeni kufanele ajuluke futhi asebenze ukuze ondle umndeni wakhe, nokuthi inkosikazi kufanele ithobele umyeni wayo, futhi yandise uhlanga lwabantu uJehova abadalile. Ngamanye amazwi, abantu abanjalo, ababenomphefumulo kaJehova kanye nokuphila Kwakhe, babengazi lutho ngendlela yokulandela imithetho kaNkulunkulu noma ukwenelisa iNkosi yendalo yonke. Babenokuqonda okuncane kakhulu. Ngakho-ke nakuba kwakungekho lutho olugwegwile noma oluwubuqili ezinhliziyweni zabo, futhi umona nokuphikisana kwakungavamile ukuvuka phakathi kwabo, noma kunjalo babengenalo ulwazi noma ukuqonda uJehova, iNkosi yendalo yonke. Labo khokho bomuntu babazi nje ukuphela ukudla izinto zikaJehova, nokuthokozela izinto zikaJehova, kodwa babengakwazi ukuhlonipha uJehova; babengazi ukuthi uJehova Nguye yedwa okufanele bamkhonze beguqe ngamadolo. Ngakho babengabizwa kanjani ngezidalwa Zakhe? Uma kwakunjalo, kuthiwani ngamagama athi, “uJehova uyiNkosi yendalo yonke” nathi “Wadala umuntu ukuze amveze, amkhazimulise, futhi ammele,”—kwakungeke kube ayekhulunyelwa ize? Kwakungenzeka kanjani ukuthi abantu abangamhloniphi uJehova babe ofakazi benkazimulo Yakhe? Babengaba kanjani ukuvezwa kwenkazimulo Yakhe? Ingabe amazwi kaJehova athi “Ngadala umuntu ngomfanekiso Wami” abe esephenduka isikhali esandleni sikaSathane—lo omubi? La mazwi ayengeke yini abe uphawu lokululazeka kokudala umuntu kukaJehova? Ukuze aqede leso sigaba somsebenzi, uJehova, emuva kokudala isintu, akazange abayalele noma abaqondise ukusuka esikhathini sika-Adamu kuya kwesikaNowa. Kodwa, kwaze kwaba emuva kokuba uzamcolo usubhubhise umhlaba lapho aqala khona ngokusemthethweni ukuhola abakwa-Israyeli, ababeyinzalo kaNowa neka-Adamu futhi. Umsebenzi Wakhe namazwi Akhe kwa-Israyeli kwanika ukuqondiseka kubo bonke abantu ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngalokho kwakhombisa isintu ukuthi uJehova akakwazi nje kuphela ukuphefumulela umphefumulo kumuntu, ukuze abenempilo evela Kuye, futhi aphakame othulini abe yisidalwa sikaNkulunkulu, kodwa nokuthi wayengangqongqisa isintu ngomlilo, futhi aqalekise isintu, aphinde asebenzise induku Yakhe ukuphatha isintu. Nabo-ke, babona ukuthi uJehova angayihola impilo yomuntu emhlabeni, futhi akhulume aphinde asebenze phakathi kwesintu ngokwamahora emini nawobusuku. Wenza umsebenzi ukuze izidalwa Zakhe zazi ukuthi umuntu wavela othulini olwalucoshwe Nguye, nokuthi ngaphezulu kwalokho, umuntu wayenziwe Nguye. Hhayi lokhu kuphela, kodwa umsebenzi awuqala ku-Israyeli wenziwa ukuze abanye abantu nezizwe (ababengahlukene empeleni no-Israyeli, kodwa ababexhante besuka kubantu bakwa-Israyeli, kodwa beseyinzalo ka-Adamu no-Eva) bathole ivangeli likaJehova ku-Israyeli, ukuze zonke izidalwa ezweni lonke zimhloniphe futhi zimbone emkhulu. Ukuba uJehova wayengawuqalanga umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli, kodwa esikhundleni salokho wathi esesidalile isintu, wasidedela saphila impilo yokuzibonela emhlabeni, ngenxa yemvelo yomzimba womuntu (imvelo ichaza ukuthi umuntu akasoze azi izinto angaziboni, okungukuthi, wayengeke azi ukuthi uJehova wadala isintu, kungasaphathwa okokuthi wamdalelani), wayengasoze azi ukuthi uJehova wadala isintu nokuthi uyiNkosi yezinto zonke. Ukuba uJehova wayedale umuntu wayesembeka emhlabeni, wayesesula izandla Zakhe wamshiya kunokuthi ahlale phakathi kwabantu ukuze abahole isikhathi esithile, khona-ke sonke isintu sasiyophetha ngokushabalala. Ngisho izulu nomhlaba nazo zonke izinto eziningi azidala, kanye nesintu sonke, kwakuyophetha ngokushabalala kugxotshwe ngezinyawo nguSathane. Ngakho isifiso sikaJehova sokuba, “Emhlabeni, okusho ukuthi, phakathi kwendalo Yakhe, kufanele abe nendawo yokuma, indawo engcwele” sasiyodicileleka phansi. Ngakho-ke, emuva kokudala isintu, ukuthi wakwazi ukuhlala phakathi kwaso, ukuze asiqondise ezimpilweni zaso, futhi akhulume naso ephakathi kwaso, konke lokhu kwakungokokufeza isifiso sakhe, nokufeza uhlelo Lwakhe. Umsebenzi awenza kwa-Israyeli wawuqonde kuphela ukufeza uhlelo ayekade eluhlelile ngaphambi kokudala Kwakhe zonke izinto, ngakho-ke ukusebenza Kwakhe kokuqala phakathi kwabakwa-Israyeli nokudala Kwakhe zonke izinto kwakungaphikisani, kodwa kokubili kwakungenxa yokuphatha Kwakhe, umsebenzi Wakhe, kanye nenkazimulo Yakhe, kwajulisa injongo yokudala Kwakhe isintu. Wayiqondisa impilo yesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili emuva kukaNowa, okuyisikhathi owafundisa ngaso isintu ukuthi siqonde indlela yokuhlonipha uJehova, iNkosi yezinto zonke, wabafundisa ukuthi baziphathe kanjani futhi baqhubeke kanjani nokuphila, nakakhulu, ukuthi bamfakazele kanjani uJehova, bamlalele, baphinde bamhloniphe, futhi bamdumise ngomculo njengoDavide nabapristi bakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UJehova wadala isintu, okusho ukuthi, wadala okhokho besintu, u-Eva no-Adamu, kodwa akabanikanga enye ingqondo noma ukuhlakanipha. Nakuba base bevele bephila emhlabeni, babecishe bangaqondi lutho. Ngakho, umsebenzi kaJehova ekudaleni isintu wawungakapheleli, futhi wawusekude nokuqedwa. Wayesakhe kuphela umfuziselo womuntu ngebumba wase ewunika umphefumulo Wakhe, kodwa ngaphandle kokunika umuntu ukuzimisela ukumhlonipha okwenele. Ekuqaleni, umuntu wayengenawo umqondo wokumhlonipha, noma ukumesaba. Umuntu wayazi kuphela ukulalela amazwi Akhe kodwa wayengazi lutho ngolwazi lokuphila emhlabeni kanye nolwemithetho evamile yokuphila komuntu. Ngakho futhi, nakuba uJehova wadala owesilisa nowesifazane wayeseqeda umsebenzi wezinsuku eziyisikhombisa, akazange neze aqede ukudala umuntu, ngoba umuntu wayeyigobongo nje, engenayo ingqikithi yokuba ngumuntu. Umuntu wayazi kuphela ukuthi nguJehova owayedale umuntu, kodwa wayengenalwazi noluncane lokuthi alandele kanjani amazwi noma imithetho kaJehova. Ngakho futhi, emva kokuba khona kwesintu, umsebenzi kaJehova wawusekude ukuphela. Kwakusafanele aqondise isintu ngokugcwele ukuba size phambi Kwakhe, ukuze sikwazi ukuphila ndawonye emhlabeni futhi simhloniphe, nokuthi sikwazi, ngokuqondiswa nguye, ukungena emzileni ofanele wempilo yomuntu emhlabeni. Kungale ndlela kuphela lapho umsebenzi owawenziwe kakhulu ngaphansi kwegama likaJehova owaqedwa khona ngokugcwele; okungukuthi, waphethwa ngale ndlela kuphela umsebenzi kaJehova wokudala umhlaba. Ngakho futhi, esedale isintu, kwafuneka ukuthi aqondise ukuphila kwesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ukuze isintu sikwazi ukuphila ngezinqumo nemithetho, kanye nokubamba iqhaza kukho konke ukwenza kwempilo ejwayelekile emhlabeni. Kulapho kuphela okwaphetheka khona ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu. Wenza lo msebenzi emva kokudala isintu wase eqhubeka nawo kwaze kwaba yinkathi kaJakobe, okuyisikhathi enza ngaso amadodana ayishumi nambili kaJakobe aba yizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. Kusuka kuleso sikhathi kuqhubeka, bonke abantu bakwa-Israyeli baba wuhlanga lwabantu olwaluholwa ngokusemthethweni Nguye emhlabeni, futhi u-Israyeli waba yindawo ekhethekile emhlabeni lapho enza khona umsebenzi Wakhe. UJehova wenza laba bantu baba yiqembu lokuqala labantu enza kubo ngokusemthethweni umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi wenza lonke izwe lakwa-Israyeli indawo yokuqala komsebenzi Wakhe, ebasebenzisa njengesiqalo somsebenzi omkhulu ngokuthe xaxa, ukuze bonke abantu abazalwe Kuye emhlabeni bazi ukuthi bamhloniphe kanjani nokuthi baphile kanjani emhlabeni. Ngakho futhi, izenzo zama-Israyeli zaba yisibonelo sokulandelwa ngabantu beZizwe, nokuthi lokho okwashiwo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kwaba amazwi okwakufanele alalelwe ngabantu beZizwe. Ngoba baba ngabokuqala ukwemukela imithetho nemiyalelo kaJehova, futhi baba ngabokuqala ukwazi ukuthi zihlonishwa kanjani izindlela zikaJehova, kanye nokuba ngabameli bohlanga lwabantu abakhethwe nguJehova.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yomthetho, uJehova wabeka imiyalelo eminingi uMose okwakufanele ayidlulisele kwabakwa-Israyeli, abamlandela bephuma eGibhithe. UJehova wayinika le miyalelo abakwa-Israyeli, futhi yayingahlobene nabaseGibhithe; yayenzelwe ukungqanda abakwa-Israyeli. Wasebenzisa imiyalelo ukuze afune izinto kubo. Noma abantu babeligcina iSabatha, noma babehlonipha abazali babo, noma babekhonza izithixo, nokunye nokunye: lezi kwakuyizimiso abantu ababehlulelwa ngazo ukuthi banesono noma balungile. Phakathi kwabo, bakhona ababeshaywa ngumlilo kaJehova, abanye ababekhandwa ngamatshe, nabanye ababethola isibusio sikaJehova, futhi lokhu kwakunqunywa ngokuthi umuntu uyayilalela yini imiyalelo noma cha. Labo ababengaligcini iSabatha babekhandwa ngamatshe. Labo bapristi ababengaligcini iSabatha babeshaywa umlilo kaJehova. Labo ababengabalaleli abazali babo nabo babekhandwa ngamatshe. Konke lokhu kwakuvunywe nguJehova. UJehova wamisa imiyalelo Yakhe kanye nemithetho Yakhe ukuze kuthi lapho ebahola ezimpilweni zabo, abantu balizwe futhi balilalele izwi Lakhe futhi bangamhlubuki. Wasebenzisa le mithetho ukulawula uhlanga lwesintu olwalusanda kuzalwa, ukwakha isisekelo somsebenzi Wakhe owawuseza. Ngakho-ke, ngenxa yomsebenzi owenziwa uJehova, inkathi yokuqala yabizwa ngokuthi iNkathi Yomthetho. Nakuba uJehova wakhuluma amazwi amaningi futhi wenza umsebenzi omningi, wahola abantu ngendlela eyakhayo kuphela, efundisa laba bantu abengenalwazi ukuba babe kanjani ngabantu, baphile kanjani, bayiqonde kanjani indlela kaJehova. Ikakhulukazi, umsebenzi awenza kwakungowokwenza abantu baphile ngendlela Yakhe futhi balandele umthetho Wakhe. Umsebenzi wenziwa kubantu ababengakhohlakele ngokujulile; awuzange wenabele ekuguqulweni kwesimo noma ekukhuleni empilweni. Wayekhathalele kuphela ukusebenzisa imithetho ukunqanda nokulawula abantu. Kuma-Israyeli ngaleso sikhathi, uJehova wayenguNkulunkulu ethempelini nje, uNkulunkulu osemazulwini. Wayeyinsika yefu, eyinsika yomlilo. Konke uNkulunkulu ayefuna bakwenze kwakuwukuthi balalele lokhu abantu banamhlanje abakwazi njengemithetho Yakhe nemiyalelo—umuntu angaze athi nje imigomo—ngoba umsebenzi kaJehova wawungahlosile ukubaguqula kodwa ukubanika ezinye izinto umuntu okufanele abe nazo, ukubatshela ngomlomo wakhe uqobo, ngoba emuva kokudalwa, umuntu wayengazi lutho ngokuthi kufanele abe nani. Ngakho-ke uJehova wanika abantu izinto okufanele babe nazo ezimpilweni zabo emhlabeni, wenza abantu abaholayo ukuthi babedlule okhokho babo, u-Adamu no-Eva, ngoba lokho uJehova abanika khona kwakudlula lokho ayekade ekunike u-Adamu no-Eva ekuqaleni. Nakuba kunjalo, umsebenzi uJehova awenza kwa-Israyeli kwakungowokuqondisa isintu kuphela nokwenza isintu simazise uMdali waso. Akazange abanqobe noma abaguqule, wamane wabaqondisa. Lokhu yisamba somsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho. Yisendlalelo, indaba eyiqiniso, ingqikithi yomsebenzi Wakhe ezweni lonke lakwa-Israyeli nesiqalo somsebenzi Wakhe weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha—ukulawula isintu ngesandla sikaJehova. Kulokhu kwazaleka umsebenzi omningi ohlelweni Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi owenziwa nguJesu wawuhambisana nezidingo zomuntu ngaleso sikhathi. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuhlenga abantu, ukubaxolela izono zabo, ngakho-ke sonke isimo Sakhe kwakungesokuthobeka, ukubekezela, uthando, ubumnene, ukuqinisela, umusa, kanye nomusa wothando. Wabusisa abantu kakhulu wabalethela umusa omningi, nazo zonke izinto ababengase bazithokozele, wabanika ukuze bazithokozele: ukuthula nenjabulo, ukubekezela nothando, umusa Wakhe kanye nomusa wothando. Kulezo zinsuku, konke lokhu umuntu ayehlangabezana nakho kwakuyinala yezinto okumele azithokozele: Izinhliziyo zabo zazinoxolo futhi ziqinisekile, umoya wabo wawududuzekile, futhi babeqiniswe uMsindisi uJesu. Ukuthi babengazuza lezi zinto kwakungumphumela wenkathi ababephila kuyo. ENkathini yoMusa abantu base bonakaliswe uSathane, ngakho-ke umsebenzi wokuhlenga bonke abantu wawudinga inala yomusa, ukuqinisela okungapheli nokubekezela, phezu kwalokho, umnikelo owanele wokuhlawula izono zabantu, ukuze kufike emphumeleni wawo. Lokhu okwabonwa abantu eNkathini yoMusa kwakungumnikelo Wami nje wokuhlawulela isono sabantu, okungukuthi, uJesu. Konke ababekwazi ukuthi uNkulunkulu wayengaba nomusa nokuqinisela, futhi konke abakubona kwaba umusa kaJesu kuphela kanye nomusa wothando. Lokhu konke kwakungenxa yokuthi babezalwe eNkathini yoMusa. Ngakho-ke ngaphambi kokuthi bahlengwe, kwakumele bathokozele izinhlobo eziningi zomusa omkhulu uJesu abanika wona; yilokhu kuphela okwakuyinzuzo kubo. Ngale ndlela, babezoxolelwa izono zabo ngokuthokozela kwabo umusa, futhi bebezothola ithuba lokuhlengwa ngokuthokozela ukuqinisela nokubekezela kukaJesu. Ukuqinisela nokubekezela kukaJesu kuphela okwenza ukuthi bakwazi ukuthola intethelelo nokuthokozela inala yomusa ebekwe phezu kwabo nguJesu—njengoba uJesu athi: Angizanga ukuzohlenga abalungile kodwa izoni, ukuze izono zabo zixolelwe. Ukuba uJesu waba senyameni ngesimo sokwahlulela, sesiqalekiso, nokungabekezeleli amacala abantu, abantu bebengeke balithole ithuba lokuhlengwa, futhi bebezohlala bona unomphelo. Ukuba kwakunjalo, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwaluyoma eNkathini yoMthetho, futhi iNkathi yoMthetho ngabe yaba iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Izono zabantu ngabe zakhula zaba nkulu zaba zimbi kakhulu, nokudalwa kwesintu kwakuzoba yize. Abantu bebezokwazi ukukhonza uNkulunkulu ngaphansi komthetho kuphela, kodwa izono zabo ngabe zingaphezulu kwalezo zabantu abadalwa kuqala. Ngokuthanda kukaJesu abantu, ebaxolela izono zabo ebanika umusa owanele nomusa nothando, abantu bakwazi ukusindiswa, babizwa ngezimvu ezazilahlekile ezabuyiswa uJesu ngenani eliphakeme. USathane wayengekwazi ukugxambukela kulo msebenzi, ngoba uJesu waphatha abalandeli Bakhe njengomama onothando ephethe usana ezingalweni zakhe. Akazange abathukuthelele noma abenyanye, kodwa wayegcwele induduzo; akazange athukuthele phakathi kwabo, kodwa wabayeka nezono zabo wabushaya indiva ubulima nokungazi kwabo, waze wathi, “Xolela izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” Ngakho-ke inhliziyo Yakhe yaguqula izinhliziyo zabanye. Kwaba ngale ndlela lapho abantu bathola khona intethelelo yezono ngokubekezela Kwakhe.

Kucashunwe embhalweni othi “Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yize uJesu, ekubeni senyameni kwakhe wayengenawo nhlobo umzwelo, wayehlala eduduza abafundi Bakhe, ebahlinzeka, ebasiza futhi ebaqinisa. Noma ngabe wenza umsebenzi ongakanani noma wahlupheka kangakanani, akazange afune okwedlulele kubantu, kodwa wayehlale ebekezela futhi eqiniselele izono zabo, kangangokuthi eNkathini yoMusa wayebizwa ngokuthandwa ngokuthi “uJesu onguMsindisi othandekayo.” Kubantu bangaleso sikhathi—kubo bonke abantu—lokhu uJesu ayenakho nayeyikho, kwakungumusa nothando. Akazange akhumbule ukona kwabantu, nokubaphatha Kwakhe kwakungasukeli ekoneni kwabo. Ngenxa yokuthi leyo kwakuyinkathi eyehlukile, wayevamise ukunika abantu ukudla nokokuphuza okwanele ukuze badle basuthe. Wayephatha bonke abalandeli Bakhe ngomusa, elapha abagulayo, ekhipha amadimoni, evusa abafile. Ukuze abantu bakholwe Kuye babone nokuthi konke lokhu ayekwenza wayekwenza ngeqiniso nangobuqotho, waze wavusa isidumbu esase sibola, ebakhombisa ukuthi ezandleni Zakhe ngisho nabafile bangabuye baphile. Ngale ndlela wabekezela buthule phakathi kwabo wenza umsebenzi Wakhe wokuhlenga. Ngisho ngaphambi kokuthi abethelwe esiphambanweni, uJesu wayesevele ethwele izono zesintu waba umhlatshelo wezono zesintu. Nangaphambi kokubethelwa, wayesevele eyivulile indlela eya esiphambanweni ukuze ahlenge isintu. Ekugcineni wabethelwa esiphambanweni, wazidela ngenxa yesiphambano, wabeka bonke ububele Bakhe, nomusa wothando, nobungcwele phezu kwesintu.

Kucashunwe embhalweni othi “Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaphandle kokuhlenga kukaJesu, abantu babengaphila esonweni phakade, babe ngabantwana besono, isizukulwane samadimoni. Uma lokhu kuqhubeka, wonke umhlaba wawuyoba yindawo yokuhlala kaSathane, indawo yakhe yokwakha. Kodwa umsebenzi wokuhlenga wawudinga umusa nothando esintwini; yile ndlela kuphela abantu ebabethola ngayo intethelelo bese bethola ilungelo lokwenziwa baphelele futhi bazuzwe ngokuphelele. Ngaphandle kwalesi sigaba somsebenzi, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ngabe aluzange luqhubeke. Ukube uJesu akazange abethelwe, ukuba welapha abantu nje kuphela wakhipha namadimoni, ngabe abantu abazange bathethelelwe izono zabo ngokuphelele. Kule minyaka emithathu nesigamu uJesu enza ngayo umsebenzi Wakhe emhlabeni, waqeda ingxenye kuphela yomsebenzi Wakhe wokuhlenga; kwase kuthi ngokubethelwa esiphambanweni nokuba umfanekiso wenyama enesono, ngokunikelwa esandleni somubi, wawufeza umsebenzi wokubethelwa waphumelelisa isiphetho sesintu. Abantu bahlengwa kuphela emva kokuthi esenikelwe ezandleni zikaSathane. Iminyaka engamashumi amathathu nesigamu wahlushwa emhlabeni, wenziwa inhlekisa, wathukwa, walahlwa, kwaze kwaseqophelweni lapho engasenandawo yokufihla ikhanda, engenandawo yokuphumula; wabe esebethelwa, ubuyena bonke—umzimba ongcwele nomsulwa—wabethelwa esiphambanweni. Wabekezelela lonke uhlobo lokuhlushwa olukhona. Labo ababesemandleni babembhinqa bemshaya, namasosha aze amkhafulela ebusweni; kodwa wathula wabekezela kwaze kwaba sekugcineni, ethoba ngokungenamibandela kwaze kwaba sekufeni, lapho ahlenga khona sonke isintu. Waze wavunyelwa lapho ukuba aphumule. Umsebenzi owenziwa nguJesu umele kuphela iNkathi yoMusa; awumele iNkathi yoMthetho, futhi awuthathi indawo yomsebenzi wezinsuku zokugcina. Lena yingqikithi yomsebenzi kaJesu eNkathini yoMusa, inkathi yesibili isintu esesedlule kuyo—iNkathi yokuHlengwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu; akasisusanga isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma uNkulunkulu eba yinyama manje, umsebenzi Wakhe ukubonakalisa isimo Sakhe, ikakhulu ngokusola nokwahlulela. Esebenzisa lokhu njengesisekelo, uletha iqiniso kubantu, akhombise ezinye izindlela zokwenza, ngalokhu bese efinyelela kulokhu akuphokophele kokunqoba abantu nokubasindisa esimweni sabo esonakele. Yilokhu okusemsebenzini kaNkulunkulu eNkathini Yombuso.

Kucashunwe embhalweni othi “Isandulelo” sethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi ngezinsuku zokugcina uwukukhuluma amazwi. Zinkulu izinguquko ezingenzeka kubantu ngamazwi. Izinguquko ezenzekile kulaba bantu ekwamukeleni la mazwi zinkulu kakhulu kunalezo zangeNkathi Yomusa ekwamukeleni lezo zibonakaliso nezimangaliso. Ngoba, eNkathini Yomusa, amadimoni asuka kumuntu ngenxa yokubekwa kwezandla nemithandazo kodwa izimo zokonakala ngaphakathi kumuntu zahlala zikhona. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele. Lapho uJesu enza umsebenzi Wakhe, ulwazi lomuntu ngaye lwalungakacaci. Umuntu wayelokhu ecabanga ukuthi uyindodana kaDavide futhi emmemezela njengomphrofethi omkhulu neNkosi enomusa eyakhulula umuntu esonweni. Abanye, ngenxa yokholo, baphulukiswa ngokuthinta nje umphetho wengubo Yakhe; abangaboni base bebona ngisho nababefile babuyiselwa ekuphileni. Nokho, umuntu akazange ayithole impande ejulile yesimo sobuSathane esonakele kuye futhi akakwazanga ukuyilahla. Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayekwenza nje ukona bese evuma izono zawo ngokuwuchungachunge olungapheli ngaphandle kwenhloso yokuguqula izimo zawo: Sasinjalo isimo sabantu semvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yombuso, uNkulunkulu osesimweni somuntu ukhuluma amazwi ukuze anqobe bonke abantu abakholwa kuYe. Leli “yiZwi elivela enyameni;” uNkulunkulu uze ngezinsuku zokugcina ukuze ezokwenza umsebenzi Wakhe, okungukuthi, uze ukuzoqedela ukubaluleka kweZwi elivela enyameni. Ukhuluma amazwi kuphela, futhi kumbalwa lapho kunamaqiniso khona. Le yiyona ingqikithi yeZwi elivela enyameni, futhi uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ekhuluma amazwi Akhe, lokhu ukuvela kweZwi enyameni, futhi kuwuLizwi eliza enyameni. “Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, futhi uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu, futhi uLizwi waba yinyama.” Lo (umsebenzi wokuvela kukaLizwi enyameni) umsebenzi uNkulunkulu azowuqeda ezinsukwini zokugcina, futhi yisahluko sokugcina sohlelo Lwakhe lonke lokuphatha, ngakho-ke uNkulunkulu kumele eze emhlabeni azoveza amazwi Akhe enyameni. Lokhu okwenziwe namuhla, lokhu okuzokwenziwa esikhathini esizayo, lokhu okuzofezwa nguNkulunkulu, isiphetho sokugcina somuntu, labo abazosindiswa, labo abazobhujiswa, njalo njalo—lo msebenzi okumele ufezeke ekugcineni ubekwe wacaca, futhi wonke umi ngohlelo ukuze uqede ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni. Izinqumo zokuphatha nomthetho-sisekelo okwakukhishiwe kuqala, labo abazobhujiswa, labo abazongena ekuphumuleni—la mazwi onke kumele agcwaliswe. Lona ngumsebenzi omkhulu oqedelwe uNkulunkulu osesimweni somuntu ngesikhathi sezinsuku zokugcina. Wenza abantu baqonde ukuthi labo abahlelelwe uNkulunkulu kusengaphambili baya ngakuphi nokuthi labo abangamiselwanga kusengaphambili uNkulunkulu bona baya ngakuphi, ukuthi abantu Bakhe namadodana Akhe bazohlukaniswa kanjani, kuzokwenzekani ku-Israyeli, kuzokwenzekani eGibhithe—esikhathini esizayo, wonke la mazwi azofezwa. Izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu zinyusa isivinini. UNkulunkulu usebenzisa izwi njengendlela yokuveza kumuntu ukuthi yini okumele yenziwe inkathi ngayinye, yikuphi okumele kwenziwe nguNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina, kanye nenkonzo Yakhe okumele yenziwe, kanti wonke la mazwi enzelwe ukufeza ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni.

Kucashunwe embhalweni othi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

ENkathini Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukungenisa inkathi entsha, ukuguquka izindlela zomsebenzi Wakhe, nokwenza umsebenzi waso sonke isikhathi. Lesi yisimiso uNkulunkulu asebenza ngaso eNkathini Yezwi. be yinyama womuntu ukuze akhulume ngezindlela ezahlukene, ehlomisa umuntu ukuthi abone uNkulunkulu ngeqiniso, oyiZwi elivela enyameni, nangobuhlakani nezimangaliso Zakhe. Umsebenzi onjalo wenzelwe ukufinyelela kangcono emigomweni yokunqoba umuntu, yokumphelelisa, neyokumsusa. Lokhu kuwumqondo wangempela wokusebenzisa izwi ukuthi lisebenze ngeNkathi Yezwi. Ngezwi, umuntu ufinyelela ekwazini umsebenzi kaNkulunkulu, isimo siNkulunkulu, ingqikithi yomuntu nalokho umuntu afanele ukungena kukhona. Ngezwi, yonke imisebenzi uNkulunkulu afisa ukuyenza ngeNkathi Yezwi iyafezeka. Ngezwi, umuntu uyembulwa, uyasuswa abuye alingwe. Umuntu ulibonile izwi, walizwa, wabona nokuba khona kwezwi. Ngenxa yalokho, umuntu uyakholwa wubukhona bukaNkulunkulu; umuntu ukholwa ukuba namandla onke nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nasenhliziyweni yothando lukaNkulunkulu kumuntu nesifiso Sakhe sokusindisa umuntu. Yize igama elithi “izwi” lisobala futhi livamile, izwi elivela emlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama linyakazisa lonke izulu nomhlaba; izwi Lakhe liguqula inhliziyo yomuntu, imicabango nesimo sakhe esidala nokubukeka kwakudala komhlaba wonke. Kuyo yonke iminyaka, nguNkulunkulu wanamuhla kuphela osebenza ngale ndlela, futhi NguYe kuphela okhuluma futhi asindise umuntu ngale ndlela. Emva kwalokho, umuntu uhlala ngaphansi kokuqondiswa yizwi, eluswa futhi ehlinzekwa yizwi; bahlala emhlabeni wezwi, baphila phakathi kweziqalekiso nezibusiso zezwi likaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho bahlala phansi kokwahlulela nokusola kwezwi. La mazwi nalo msebenzi kwenzelwe nje insindiso yomuntu, ukufezwa kwentando kaNkulunkulu, nokuguqula isimo semvelo somhlaba wendalo endala. UNkulunkulu wadala umhlaba ngezwi, uhola abantu emhlabeni wonke ngalo izwi, uyanqoba abuye abasindise ngezwi. Ekugcineni, uzosebenzisa izwi ukuqeda wonke umhlaba omdala. Kungaleso sikhathi-ke lapho uhlelo lokuphatha lizophelela khona. Kuyo yonke INkathi Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukwenza umsebenzi Wakhe nokuthola imiphumela Yomsebenzi Wakhe; akenzi imimangaliso noma enze imilingo, wenza nje umsebenzi Wakhe ngezwi. Ngenxa yezwi, umuntu wondlekile wahlinzekwa; ngenxa yezwi umuntu uzuza ulwazi nokwazi.

Kucashunwe embhalweni othi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emsebenzini Wakhe wokugcina wokuphetha inkathi, isimo sikaNkulunkulu singesokusola nokwahlulela, embula kukho konke okuwukungalungi, ukuze ahlulele obala bonke abantu futhi aphelelise labo abamthanda ngenhliziyo eqotho. Yisimo esinjalo kuphela esingaphothula le nkathi. Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile. Ngakho, isimo esinje sigcwaliswe ngokubaluleka kwenkathi kanye nokwembulwa nokukhonjiswa kwesimo Sakhe kuvezwa ngenxa yomsebenzi waleyo naleyo nkathi entsha. Akuyikho ukuthi uNkulunkulu uveza isimo Sakhe ngaphandle kwesizathu futhi ngaphandle kokubaluleka. Uma kuwukuthi, ekwembuleni umphumela womuntu ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubesengambonisa uzwelo nothando olungapheli futhi aqhubeke ukuba nothando kuye, engamfaki umuntu phansi kokwahlulela okulungile kodwa emkhombisa ukubekezela, isineke, kanye nokuxolela, futhi ethethelela umuntu noma zizimbi kanjani izono zakhe, ngaphandle kwecashaza lokwahlulela okulungile: pho ubuyoqedwa nini wonke umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu? Kunini lapho isimo esinjalo besiyokwazi khona ukuholela isintu esiphethweni esifanele? Thatha ngokwesibonelo, ijaji elihlala linothando, ijaji elinobuso obunomusa nenhliziyo ethambile. Lithanda abantu kungakhathaleki ukuthi benza izono ezingakanani futhi linothando futhi liyababekezelela kungakhathaleki ukuthi bangobani. Ngakho, kunini lapho leli jaji liyokwazi khona ukwenza isinqumo esinobulungiswa? Ezinsukwini zokugcina, ukwahlulela okulungile kuphela okuyohlukanisa abantu ngokohlobo futhi kulethe umuntu endaweni entsha. Ngale ndlela, inkathi yonke ifikiswa esiphethweni ngesimo sokwahlulela nokusola okulungileyo kukaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wasekuqaleni awunalo igama elithi “ilalelwe.”

Okwedlule: 2. Inhloso Yezigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu

Okulandelayo: 4. Ubudlelwane Phakathi Kwaleso Naleso Sezigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp