1. Kuyini Ukuba Sesimweni Somuntu? Iyini Ingqikithi Yokuba sesimweni Somuntu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Incazelo yokuba sesimweni somuntu ukuthi uNkulunkulu ubonakala enyameni, futhi ufika ezosebenza phakathi kwesintu esidalwe Nguye esesimweni senyama. Ngakho, ukuze uNkulunkulu athathe isimo somuntu, kumele aqale abe yinyama, inyama enobuntu obujwayelekile; lokhu kuyisidingo esibaluleke kakhulu. Eqinisweni, okuqondiwe ngokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uphila futhi asebenze enyameni, uNkulunkulu engqikithini Yakhe uqobo uthatha umzimba wenyama, uba ngumuntu. Ukuphila Kwakhe esengumuntu nokusebenza kuhlukaniswa izigaba ezimbili. Esokuqala, yimpilo ayiphilayo ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Uphila emndenini ojwayelekile wabantu, ebuntwini obujwayeleke kakhulu impela, elalela imithetho yokuziphatha kanye nemithetho ejwayelekile yokuphila komuntu, enezidingo zomuntu ezijwayelekile (ukudla, okokugqoka, indawo yokuhlala, ukulala), ubuthakathaka bomuntu obujwayelekile kanye nemizwa yomuntu ejwayelekile. Ngamanye amazwi, kulesi sigaba sokuqala uphila impilo engenabo ubunkulunkulu, enobuntu obujwayeleke ngokuphelele, owenza zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile. Isigaba sesibili siwukuphila Kwakhe ngemva kokuqala ukwenza inkonzo Yakhe. Usaphila ebuntwini obujwayelekile enomzimba womuntu ojwayelekile, angawabonisi nakancane amandla angaphezu kwawemvelo. Nokho uphila kuphela ngenxa yenkonzo Yakhe, futhi kulesi sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile bukhona ngokuphelele ukuze kwenzeke umsebenzi ojwayelekile wobuNkulunkulu Bakhe; ngoba ngaleso sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile sebukhule baze bafika ezingeni lokuthi bungakwazi ukwenza inkonzo Yakhe. Ngakho-ke isigaba sesibili sokuphila Kwakhe siwukwenza inkonzo Yakhe esebuntwini obujwayelekile, kungukuphila kwakhe kokubili kobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Isizathu sokuthi, ngesikhathi sesigaba sokuqala sokuphila Kwakhe, uphila ebuntwini obujwayeleke ngokuphelele wukuthi ubuntu Bakhe busuke bungakalingani nomsebenzi wobuNkulunkulu obuphelele, kusuke kungakavuthwa; kuba kuphela ngemuva kokukhula kobuntu Bakhe, sebukwazi ukuthwala inkonzo Yakhe, lapho angaqalisa khona ukwenza inkonzo Yakhe. Njengoba Yena, eyinyama, edinga ukuthi akhule futhi avuthwe, isigaba sokuqala sokuphila Kwakhe siwubuntu obujwayelekile, kanti esigabeni sesibili, ngenxa yokuthi ubuntu Bakhe buyakwazi ukwenza umsebenzi Wakhe nokwenza inkonzo Yakhe, ukuphila kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuphila ngesikhathi senkonzo Yakhe kuyikho kokubili okobuntu nobuNkulunkulu obuphelele. Ukuba kusukela ekuzalweni Kwakhe uNkulunkulu osesimweni somuntu waqala inkonzo Yakhe ngokuzimisela, enza izibonakaliso kanye nezimangaliso ezingaphezu kwamandla emvelo, khona-ke wayengeke abe nengqikithi yomzimba. Ngakho-ke, ubuntu Bakhe bukhona ngenxa yengqikithi yomzimba Wakhe; ngeke kube khona inyama ngaphandle kobuntu, futhi umuntu ongenabo ubuntu akayena umuntu. Ngale ndlela, ubuntu benyama kaNkulunkulu buyingxenye esemqoka yenyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu. Ukuthi “lapho uNkulunkulu eba sesimweni somuntu usuke enobunkulunkulu ngokuphelele, futhi akayena nhlobo umuntu,” kuwukuhlambalaza, ngoba le nkulumo ayikho nhlobo, futhi yephula umgomo wokuba sesimweni somuntu. Ngisho nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe, usaphila ebuNkulunkulwini Bakhe obunomkhakha wangaphandle womuntu lapho enza umsebenzi Wakhe; ukuthi nje ngaleso sikhathi, ubuntu Bakhe bufeza kuphela injongo yokuvumela ubunkulunkulu Bakhe ukuba benze umsebenzi enyameni ejwayelekile. Ngakho umenzi womsebenzi ubunkulunkulu obuhlala ebuntwini Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe, hhayi ubuntu Bakhe obusebenzayo, kepha ubunkulunkulu obufihlwe ngaphakathi ebuntwini Bakhe; umsebenzi Wakhe wenziwa empeleni ngubunkulunkulu Bakhe obuphelele, hhayi ubuntu Bakhe. Kodwa umenzi womsebenzi yinyama Yakhe. Umuntu angathi ungumuntu futhi unguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uba nguNkulunkulu ophila enyameni, ebukeka njengomuntu ngaphandle futhi enengqikithi yobuntu kodwa futhi nengqikithi kaNkulunkulu. Ngoba ungumuntu onobuNkulunkulu, ungaphezu kwabo bonke abantu abadaliwe, ngaphezu kwawo wonke umuntu ongenza umsebenzi kaNkulunkulu. Futhi phakathi kwalabo ababukeka njengaye, phakathi kwabo bonke abanobuntu, Nguye kuphela onguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo Lwakhe—bonke abanye bangabantu abadaliwe. Nakuba bonke benobuntu, abantu abadaliwe akukho okunye abayikho ngaphandle kobuntu, kanti uNkulunkulu osesimweni somuntu Yena uhlukile: Enyameni Yakhe akanabo kuphela ubuntu kodwa okubaluleke nakakhulu unobunkulunkulu. Ubuntu Bakhe buyabonakala ngokubukeka kwangaphandle kwenyama Yakhe nasekuphileni Kwakhe kwansuku zonke kodwa ubuNkulunkulu Bakhe kunzima ukubuqonda. Ngenxa yokuthi ubuNkulunkulu Bakhe buboniswa kuphela enobuntu futhi abunawo amandla angaphezu kwemvelo njengoba abantu bebucabanga, kunzima kakhulu ukuba abantu bakubone. Ngisho nanamuhla kunzima kakhulu ukuthi abantu baqonde imfihlakalo yengqikithi yangempela kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Nangemva kokukhuluma okungaka ngakho, ngilindele ukuba kube yimfihlakalo eningini lenu. Empeleni, le ndaba ilula kakhulu: Njengoba uNkulunkulu eba, ingqikithi Yakhe iyinhlanganisela yobuntu nobunkulunkulu. Le nhlanganisela ibizwa ngokuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe emhlabeni.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Impilo eyaphilwa uJesu emhlabeni kwakuyimpilo ejwayelekile yenyama. Waphila ebuntwini obujwayelekile benyama Yakhe. Igunya Lakhe—ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu nokukhuluma izwi likaNkulunkulu, noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, ukwenza lezo zinto ezingajwayelekile—akuzange kuzibonakalise, isikhathi esiningi, kwaze kwaba yilapho aqala khona inkonzo Yakhe. Impilo Yakhe ngaphambi kweminyaka yobudala engamashumi amabili nesishiyagalolunye, ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe, yayingubufakazi ngokwanele ukuthi wayesesimweni somuntu ejwayelekile nje. Ngenxa yalokhu, nangenxa yokuthi wayengakaqali ukwenza inkonzo Yakhe, abantu ababonanga bunkulunkulu Kuye, ababonanga lutho ngaphandle komuntu ojwayelekile nje, indoda ejwayelekile—njengoba ngaleso sikhathi abantu babekholwa ukuthi wayeyindodana kaJosefa. Abantu babecabanga ukuthi wayeyindodana yomuntu ojwayelekile, babengenayo indlela yokubona ukuthi wayeyinyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu; ngisho nalapho enza khona inkonzo Yakhe, wenza imimangaliso eminingi, abantu abaningi babesalokhu bethi uyindodana kaJosefa, ngoba wayenguKristu onesimo sangaphandle sobuntu obujwayelekile. Ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nomsebenzi Wakhe kokubili kwaba khona ukuze kugcwaliseke ukubaluleka kokuthatha isimo somuntu kokuqala, kufakazela ukuthi uNkulunkulu wayefike enyameni ngokuphelele, wayebe ngumuntu ojwayelekile ngempela. Ukuthi wayenobuntu obujwayelekile ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe kwakungubufakazi bokuthi wayeyinyama ejwayelekile; nokuthi wasebenza emva kwalokho nakho kwabonisa ukuthi wabe eyinyama ejwayelekile, ngoba wenza izibonakaliso nezimangaliso, waphulukisa abagulayo futhi waxosha amadimoni enyameni enobuntu obujwayelekile. Isizathu sokuthi akwazi ukwenza izimangaliso sasiwukuthi inyama Yakhe yayinegunya likaNkulunkulu, kwakuyinyama okwakumbozwe ngayo uMoya kaNkulunkulu. Wayenaleli gunya ngenxa kaMoya kaNkulunkulu, futhi kwakungasho ukuthi wayengeyona inyama. Ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni kwakuwumsebenzi ayedinga ukuba awenze enkonzweni Yakhe, isibonakaliso sobuNkulunkulu Bakhe obufihleke ebuntwini Bakhe, futhi akukhathaleki ukuthi yiziphi izibonakaliso azibonakalisa nokuthi walikhombisa kanjani igunya Lakhe, wayesaphila ebuntwini obujwayelekile futhi wayeseyinyama ejwayelekile. Kuze kufike lapho avuswa khona ngemva kokufa esiphambanweni, wayephila enyameni ejwayelekile. Ukunika umusa, ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni konke kwakuyingxenye yenkonzo Yakhe, kwakungumsebenzi awenza enyameni yomuntu ejwayelekile. Ngaphambi kokuba aye esiphambanweni, akazange ashiye inyama Yakhe yomuntu ejwayelekile, kungakhathaleki ukuthi yini ayeyenza. WayenguNkulunkulu uqobo, enza umsebenzi kaNkulunkulu siqu, kepha ngenxa yokuthi wayeyinyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu, wayedla ukudla, egqoka izingubo, enezidingo zomuntu ezijwayelekile, enokucabanga komuntu okujwayelekile kanye nomqondo womuntu ojwayelekile. Konke lokhu kwakuwubufakazi bokuthi wayengumuntu ojwayelekile, okwakubonisa ukuthi inyama ethathe isimo somuntu kaNkulunkulu kwakuyinyama enobuntu obujwayelekile, hhayi obungaphezu kwamandla emvelo. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuqedela umsebenzi wokuqala kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu. Ukubaluleka kokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu ukuthi umuntu ojwayelekile, ovamile enze umsebenzi kaNkulunkulu uqobo; okuwukuthi, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu ebuntwini futhi ngalokho unqoba uSathane. Ukuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu kusho ukuthi uMoya kaNkulunkulu uba yinyama, okuwukuthi, uNkulunkulu uba yinyama; umsebenzi awenza enyameni umsebenzi kaMoya, owenzeka enyameni, oboniswa yinyama. Akekho umuntu ongakwazi ukufeza inkonzo eyenziwa uNkulunkulu osemzimbeni wenyama ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu; okuwukuthi, uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, lobu buntu obujwayelekile—hhayi futhi omunye umuntu—angabonakalisa umsebenzi wobunkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu bukhona ukusekela umsebenzi wobuNkulunkulu ojwayelekile enyameni; ukucabanga Kwakhe kobuntu obujwayelekile kugcina ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nayo yonke imisebenzi Yakhe ayenza esemzimbeni. Umuntu angathi ukucabanga Kwakhe komuntu okujwayelekile kukhona ukuze kusekele umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ukube le nyama ibingenawo umqondo womuntu ojwayelekile, uNkulunkulu ubengeke akwazi ukusebenza esesimweni somuntu, futhi lokho adinga ukukwenza enyameni bekungeke kufezeke. Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni womuntu enomqondo womuntu ojwayelekile, umsebenzi Wakhe awonakaliswa ukucabanga komuntu; wenza umsebenzi ebuntwini obunomqondo ojwayelekile, ngaphansi kombandela wokuthi unobuntu obunomqondo hhayi ngokusebenzisa ukucabanga komuntu okujwayelekile. Kungakhathaleki ukuthi iphakeme kangakanani imicabango yenyama Yakhe, umsebenzi Wakhe awubunikezi ubufakazi bomqondo noma ukucabanga. Ngamanye amazwi, umsebenzi Wakhe awusuki engqondweni yenyama Yakhe kodwa ungukuboniswa ngqo komsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini Bakhe. Umsebenzi Wakhe wonke yinkonzo adinga ukuyifeza futhi akukho nokukodwa kuyo okusuka engqondweni Yakhe. Isibonelo, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokubethelwa kwakungaphumi emqondweni Wakhe wobuntu, kwakungeke kwenziwe yinoma imuphi umuntu onomqondo womuntu. Ngokufanayo, umsebenzi wokunqoba wanamuhla uyinkonzo ekumele yenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa akuwona umsebenzi wentando yomuntu, kungumsebenzi ubunkulunkulu Bakhe okumele buwenze, umsebenzi ongenakwenziwa umuntu osesimweni somuntu. Ngakho uNkulunkulu osesimweni somuntu kumele abe nomqondo womuntu ojwayelekile, abe nobuntu obujwayelekile ngoba kumele enze umsebenzi Wakhe ebuntwini enomqondo ojwayelekile. Lokhu yingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ingqikithi uqobo kaNkulunkulu osesimweni somuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaphambi kokuba uJesu enze umsebenzi, wayemane ephila ebuntwini Bakhe obujwayelekile. Akekho owayengasho ukuthi wayenguNkulunkulu, akekho owathola ukuthi wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu; abantu babemazi njengendoda ejwayelekile ngokuphelele. Ubuntu Bakhe obuvamile obujwayeleke ngempela kwakuwubufakazi bokuthi uNkulunkulu wayethathe isimo somuntu nokuthi iNkathi yoMusa kwakuyisikhathi somsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, hhayi inkathi yomsebenzi kaMoya. Kwakuwubufakazi bokuthi uMoya kaNkulunkulu wawubonakaliswe ngokuphelele enyameni, ukuthi ngenkathi uNkulunkulu esesimweni somuntu, inyama Yakhe yayizokwenza wonke umsebenzi kaMoya. UKristu onobuntu obujwayelekile uyinyama okuyilapho uMoya ubonakala khona, unobuntu obujwayelekile, umqondo kanye nokucabanga komuntu okujwayelekile. “Ukubonakalisa” kusho ukuthi uNkulunkulu uba ngumuntu, uMoya uba yinyama; ukukubeka kucace, kuba yilapho uNkulunkulu uqobo Lwakhe ehlala enyameni enobuntu obujwayelekile, futhi ngayo, eveza umsebenzi Wakhe wobuNkulunkulu—yilokho okushiwo ukubonakala noma ukuthatha isimo somzimba womuntu.

Kucashunwe embhalweni othi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngesikhathi iNkosi uJesu isebenza, abantu babona ukuthi uNkulunkulu uziveza ngezimo zabantu abahlukene. Isibonelo, Yena wayekwazi ukudansa, eya emishadweni, ehlanganyela nabantu, ekhuluma nabo, exoxisana ngezinto nabo. Nangaphezu kwalokho, iNkosi uJesu yafeza umsebenzi omningi owawumele ubunkulunkulu Bakhe, futhi kunjalo, wonke lo msebenzi wawuyisiboniso futhi wambula isimo sikaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, lapho ubunkulunkulu bukaNkulunkulu babonakala enyameni eyejwayelekile, abantu abebengayibona futhi bayithinte, ababuyanga besezwa ukuthi uyakhazimula ngaphakathi nangaphandle, babengakwazi ukusondela Kuye. Kunalokho, babezama ukuqonda intando kaNkulunkulu noma umsebenzi weNdodana yomuntu. Indodana yomuntu esesimweni somuntu yaveza ubunkulunkulu bukaNkulunkulu ngokobuntu Bakhe futhi yadlulisa intando kaNkulunkulu esintwini. Futhi ngokubonakaliswa kwentando kanye nesimo sikaNkulunkulu, Yena waphinda waveza kubantu uNkulunkulu ongabonakali noma ongathinteki emhlabeni wakwamoya. Lokhu okwabonwa ngabantu kwakunguNkulunkulu uqolo Lwakhe, ethinteka futhi enenyama namathambo. Ngakho iNdodana yomuntu esesimweni somuntu yenza izinto ezifana nobuyena Bakhe, ukuma Kwakhe, isithombe Sakhe, isimo Sakhe kanye nalokho Yena anakho nayikho, yaqina futhi yenziwa isimo somuntu. Noma ngabe ukubonakala kwengaphandle kweNdodana yomuntu kwaba nemikhawulo mayelana nomfanekiso kaNkulunkulu, ingqikithi Yakhe kanye nalokhu anakho nayikho kwakwazi ngokupheleleyo ukumela ubunjalo nokuma—kwakunokwahlukana ngokwesimo sokubonakaliswa. Noma ngabe ubuntu beNdodana yomuntu noma ubunkulunkulu Bayo, ngeke siphike ukuthi Yona yamela ubunjalo nokuma kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, nokho, uNkulunkulu wasebenza ngenyama, wakhuluma njengokwenyama, futhi wama phambi kwesintu ngobunjalo nangokuma kweNdodana yomuntu, futhi lokhu kwanika abantu ithuba lokuhlangana nokuzizwela amazwi eqiniso kaNkulunkulu phakathi kwesintu. Yaphinda yavumela abantu ukuba babe nokuqonda ubunkulunkulu Bakhe kanye nobukhulu Bakhe phakathi kokuzithoba, kanye nokuzuza ukuqonda kwangaphambili kanye nencazelo yangaphambili yeqiniso kanye noqobo lukaNkulunkulu. Nakuba umsebenzi owafezwa iNkosi uJesu, izindlela Zakhe zokusebenza, nange ndlela ayekhuluma ngayo eyabe yahlukile kuleyo yomuntu woqobo kaNkulunkulu emhlabeni wakwamoya, yonke into Ngaye yamela uNkulunkulu uqobo ngokweqiniso abantu ababengakaze bayibone ngaphambili—lokhu ngeke kuphikwe! Okusho ukuthi, noma ngabe uNkulunkulu uvela ngasiphi isimo, noma ukhuluma ngayiphi indlela Yena akhuluma ngayo, noma ngamuphi umfanekiso abhekana ngawo nesintu, uNkulunkulu akameli lutho kodwa Yena uqobo Lwakhe. Yena angeke amele umuntu—angeke amele noma imuphi umuntu okhohlakele. UNkulunkulu unguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi lokhu akusoze kwaphikwa.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni uyafana ncamashi nabantu, wafunda ulwazi lwabantu futhi wakhuluma ulimi lwabantu, futhi kwesinye isikhathi uveza imibono Yakhe ngezindlela zesintu nangemisho, ngendlela abona ngayo abantu, ingqikithi yezinto, nange ndlela abantu abakhohlakele ababona ngayo isintu kanye nobunjalo bezinto akufani. Indlela abuka ngayo kanye nokuphakama kwalapho emi khona kuyinto angenakufinyelela kuyo umuntu okhohlakele. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu uyiqiniso, inyama ayigqokile inobunjalo bukaNkulunkulu, futhi imicabango Yakhe kanye nalokho okuvezwa ubuntu Bakhe, nakho kuyiqiniso. Kubantu abakhohlakele, lokhu akukhuluma esenyameni kuwukuhlinzekwa kweqiniso kanye nokuphila. Lokhu kuhlinzekwa akusikhona okomuntu oyedwa, kodwa okwesintu sonke. Ngokuba noma imuphi umuntu okhohlakele, enhliziyweni yakhe kukhona kuphela labo bantu abambalwa abahambisana naye. Yilabo bantu kuphela abakhathalelayo, akhathazekile ngabo. Uma kuvela inhlekelele ucabanga kuqala ngezingane zakhe, lowo ashade naye, noma abazali kanti umuntu othanda ukusiza, angacabanga ngesihlobo noma umngani olungile; uyacabanga ngabanye? Ngeke! Ngoba abantu, emva kwakho konke, bangabantu, futhi bangakwazi ukubheka izinto zonke kuphela ngasohlangothini nokuphakama komuntu. Nokho, uNkulunkulu osemzimbeni uhluke kakhulu kumuntu okhohlakele. Noma ngabe ujwayeleke kangakanani, noma uvame kangakanani, noma uphansi kangakanani uNkulunkulu osemzimbeni, ngisho noma bambukela phansi kangakanani abantu, imicabango Yakhe, nesimo sengqondo Yakhe ngesintu, kuyizinto umuntu angeke aze abe nazo, futhi akekho umuntu ongakulingisa. Uyohlala njalo ebheka isintu ngobukhona kanye nomqondo kaNkulunkulu, akasoze abona umuntu ngokubuka kwezinga lomuntu ojwayelekile nje, futhi nange ndlela yomuntu okhohlakele. Uma abantu bebheka isintu, babuka ngokubona kwabantu, futhi basebenzisa izinto ezifana nolwazi lwabantu kanye nemigomo yabantu kanye nabakufundile njengesilinganiso. Lokhu kungaphakathi kwesilinganiso salokho abantu abangakubona ngamehlo abo; kungaphakathi kwesilinganiso esingafezwa umuntu okhohlakeleyo. Uma uNkulunkulu ebheka isintu, ubuka ngokubona kobunkulunkulu, futhi usebenzisa ingqikithi yakhe kanye nalokhu anakho nayikho njengesilinganiso. Lesi silinganiso simbandakanya izinto ezingabonwa ngabantu, yilapho uNkulunkulu osemzimbeni kanye nabantu abakhohlakele bephambana kakhulu. Lo mehluko wenziwa ubunjalo babantu nobunjalo bukaNkulunkulu, yilobu bunjalo obenza ukubona kwabo nokuma kwabo kanye nangendlela nokuphakama ababona ngakho izinto.

Kucashunwe embhalweni othi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Inyama eyembethwe uMoya kaNkulunkulu yinyama kaNkulunkulu uqobo. UMoya kaNkulunkulu uphakeme; unamandla onke, ungcwele, futhi ulungile. Ngokufanayo, inyama Yakhe nayo iphakeme, inamandla onke, ingcwele, futhi ilungile. Inyama enjalo ingenza kuphela lokho okulungile nokuzuzisa isintu, lokho okungcwele, okukhazimulayo nokunamandla; akakwazi ukwenza noma yini emelene neqiniso noma emelene nobuqotho nobulungiswa, ingasaphathwa eyokwenza noma yini ekhaphela uMoya kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu ungcwele, futhi ngaleyo ndlela inyama Yakhe ayikhohlakaliswa nguSathane; inyama Yakhe inengqikithi eyehlukile enyameni yomuntu. Ngoba ngumuntu, hhayi uNkulunkulu, okhohlakaliswa nguSathane; uSathane ngeke akwazi ukukhohlakalisa inyama kaNkulunkulu.

Kucashunwe embhalweni othi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi. UKristu akasikho nje ukubonakaliswa kukaNkulunkulu emhlabeni, kodwa futhi uyinyama embethwe uNkulunkulu njengoba ephethe futhi eqedela umsebenzi Wakhe kubantu. Le nyama akusiyo leyo endawo yayo ingathathwa yinoma imuphi umuntu, kodwa yileyo engathwala umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela egculisayo emhlabeni, futhi ibonakalise isimo sikaNkulunkulu, imele uNkulunkulu kahle, futhi inike umuntu ukuphila. Esikhathini esingatheni, labo abazenza uKristu bayowa, ngoba yize bethi banguKristu, akukho abanakho okuwumgogodla kaKristu. Ngakho ngithi ubuqiniso ngoKristu ngeke buchazwe umuntu, kodwa kuphendulwa futhi kunqunywe uNkulunkulu Uqobo.

Kucashunwe embhalweni othi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

(Isiqephu Sezwi LikaNkulunkulu Esikhethiwe)

Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini

UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe ubuntu noma ubunkulunkulu Bakhe, kokubili kuthobela intando kaBaba osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; le ngqikithi angeke iwuphazamise umsebenzi Wakhe, futhi akukho angakwenza okubulala umsebenzi Wakhe, futhi angeke akhulume amazwi aphambana nentando Yakhe. Ngakho-ke, uNkulunkulu osesimweni somuntu angeke awenze umsebenzi ozophazamisa ukuphatha Kwakhe. Yilokhu okumele bonke abantu bakuqonde. Umongo womsebenzi kaMoya oNgcwele ukusindisa abantu ngenxa yokuphatha kukaNkulunkulu. Kanjalo, umsebenzi kaKristu ukusindisa abantu ngenxa yentando kaNkulunkulu. Ngokuthi uNkulunkulu uba yinyama, uyabazi ingqikithi Bakhe enyameni Yakhe, ngendlela yokuthi inyama Yakhe yanele ukwenza umsebenzi Wakhe. Ngalokho-ke, wonke umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu uthathelwa indawo umsebenzi kaKristu ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu, kanti futhi umongo wawo wonke umsebenzi ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu ungumsebenzi kaKristu. Awukwazi ukuhlanganyelwa nomsebenzi wangenye inkathi. Futhi njengoba uNkulunkulu eba yinyama, usebenza ngokuba sesimweni somuntu; njengoba eza esenyameni, umsebenzi okumele awenze uwuphelelisa esenyameni. Noma ngabe uMoya kaNkulunkulu noma uKristu, konke kunguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi wenza umsebenzi okumele awenze enze nenkonzo okumele ayenze.

Ingqikithi kaNkulunkulu uqobo lwayo isebenzisa igunya, kodwa uyakwazi ukuthobela ngokuphelele igunya eliphuma Kuye. Noma ngabe umsebenzi kaMoya noma umsebenzi wenyama, akungqubuzani. Amandla kaMoya kaNkulunkulu anegunya phezu kwendalo yonke. Inyama enengqikithi kaNkulunkulu nayo inegunya, kodwa uNkulunkulu osenyameni angenza wonke umsebenzi olalela intando kaBaba Osezulwini. Lokhu ngeke kutholwe noma kuqondwe umuntu. UNkulunkulu uqobo unamandla, kodwa inyama Yakhe ingathobela igunya Lakhe. Lokhu yincazelo ejulile yamazwi athi: “UKristu uthobela intando kaNkulunkulu uBaba.” UNkulunkulu unguMoya futhi angenza umsebenzi wokusindisa, njengoba uNkulunkulu engaba umuntu. Kodwa-ke, uNkulunkulu uqobo wenza umsebenzi Wakhe; akaphazamisi noma agxambukele, futhi akawenzi umsebenzi ophikisanayo, ngoba ingqikithi yomsebenzi owenziwa uMoya nowenziwa inyama uyafana. Noma ngabe uMoya noma inyama, kokubili kwenzelwe ukugcwalisa intando eyodwa nokuphatha umsebenzi ofanayo. Yize noma uMoya nenyama kunezinto ezingafani, ingqikithi bako buyafana; kokubili kunongqikithi bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kanye nobuNkulunkulu uqobo Lwakhe. UNkulunkulu uqobo akanakho ukungalaleli; ingqikithi Yakhe ilungile. Uyikho konke okuhle nokulungile, futhi uwuthando lonke. Noma esenyameni, uNkulunkulu akenzi into yokungalaleli uNkulunkulu uBaba. Ngisho noma ngabe kusho ukuthi akanikele ngempilo Yakhe, uzokwenza ngenhliziyo ekhululekile angafuni ukukhetha okunye. UNkulunkulu akanakho ukuzilungisa nokuzibona ebalulekile, noma ukuzidla nokuzikhukhumeza; akanakho ukungathembeki. Konke lokhu okungalaleli uNkulunkulu kuqhamuka kuSathane; uSathane nguye umsuka wobubi nenkohlakalo. Isizathu esenza ukuthi umuntu abe nezici ezifana nezikaSathane ukuthi umuntu wonakaliswe waphinde wasetshenzwa nguSathane. UKristu akonakalisiwe nguSathane, yikho enezimpawu zikaNkulunkulu futhi azikho ezikaSathane. Noma ngabe umsebenzi unzima kangakanani noma inyama ibuthaka kangakanani, uNkulunkulu, esaphila enyameni, angeke enze okuzophazamisa umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, ingaphathwa eyokushiya intando kaNkulunkulu uBaba ngokungalaleli. Angancamela ukuzwa izinhlungu zenyama kunokuthi aphambane nentando kaNkulunkulu uBaba; kunjengoba uJesu asho emkhulekweni. “Baba, uma kungenzeka, mayidlule le ndebe Kimi; kodwa kungabi ngentando Yami, kodwa kube ngentando Yakho.” Umuntu uyokhetha, kodwa uKristu angeke akhethe. Yize enomfanekiso kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kodwa usafuna ukwenza intando kaNkulunkulu uBaba, agcwalisele lokhu uNkulunkulu uBaba amethembe ngakho, ngasohlangothini lwenyama. Lokhu into umuntu angeke akwazi ukuyenza. Lokhu okuphuma kuSathane akunangqikithi kaNkulunkulu, kunokungalaleli nokuphikisa uNkulunkulu. Angeke kumlalele ngokuphelele uNkulunkulu, futhi ngeke kuyithobele intando kaNkulunkulu. Bonke abantu ngaphandle kukaKristu bangakwenza lokhu okuphikisa uNkulunkulu, futhi akekho noyedwa ongamukela umsebenzi athenjwe uNkulunkulu ngawo; akekho noyedwa ongakwazi ukubona ukuphatha kukaNkulunkulu njengomsebenzi wabo okumele bawenze. Ukuthobela intando kaNkulunkulu uBaba kuyingqikithi kaKristu; ukungalaleli uNkulunkulu kufana noSathane. Lezi zinto zombili azihambelani, futhi noma ubani onalezi zici zikaSathane angeke abizwe ngoKristu. Isizathu esenza ukuthi umuntu angakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu esikhundleni Sakhe yingoba umuntu akanaso nesisodwa isimo sengqikithi kaNkulunkulu. Umuntu usebenzela uNkulunkulu ngoba efuna ukuzuza okwakhe nekusasa lakhe, kodwa uKristu usebenzela ukwenza intando kaNkulunkulu uBaba.

Ubuntu bukaKristu bubuswa ubunkulunkulu Bakhe. Yize noma esenyameni, ubuntu Bakhe abufani ncamashi nalobo bomuntu wenyama. Unesimo Sakhe esihlukile, naso futhi sibuswa ubunkulunkulu Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe abunabuthaka; ubuthaka bukaKristu buchaza lobo obobuntu Bakhe. Ngezinga elithile, lobu buthaka bucindezela ubunkulunkulu Bakhe, kodwa imikhawulo efana nale iphakathi komthamo nesikhathi esithile, futhi ayinamkhawulo. Uma kufika isikhathi sokwenza umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu, wenziwa ngaphandle kokunaka ubuntu Bakhe. Ubuntu bukaKristu buholwa ubunkulunkulu Bakhe ngokuphelele. Ngaphandle kwempilo Yakhe ejwayelekile yobuntu Bakhe, konke okunye ukwenza kobuntu Bakhe kuthonywa, kuthintwe futhi kuqondiswe ubunkulunkulu Bakhe. Yize uKristu enobuntu, abuwuphazamisi umsebenzi wobunkulunkulu Bakhe. Lokhu kungenxa yokuthi ubuntu bukaKristu buholwa ubunkulunkulu Bakhe; yize ubuntu Bakhe bungavuthiwe endleleni aziphatha ngayo phambi kwabanye, akuwuthinti umsebenzi ojwayelekile wobunkulunkulu Bakhe. Uma ngithi ubuntu Bakhe abonakaliswanga, ngisho ukuthi ubuntu bukaKristu bungaqondiswa ngqo ubunkulunkulu Bakhe, nokuthi unobuhlakani obuphezulu kunalobo bomuntu ojwayelekile. Ubuntu Bakhe bufanele ukuholwa ubunkulunkulu obusemsebenzini Wakhe; Ubuntu Bakhe bukwazi kakhulu ukuveza umsebenzi wobunkulunkulu, futhi buyakwazi kakhulu ukuthobela umsebenzi ofana nalowo. Njengoba uNkulunkulu esebenza enyameni, akakhohlwa umsebenzi okumele wenziwe umuntu osenyameni; uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu ezulwini ngenhliziyo eneqiniso. Unengqikithi kaNkulunkulu, kanti ubuyena yilobu bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ukuthi nje uze emhlabeni waba umuntu odaliwe, waba nomzimba womuntu odaliwe, futhi manje unobuntu ayengenabo ngaphambilini; uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu ezulwini. Lokhu ukuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi uhlukile kumuntu. Ubuyena bunguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kungokwenyama okwenza ukuthi adumise uNkulunkulu; ngakho-ke, amazwi athi “uKristu udumisa uNkulunkulu ezulwini” awalona iphutha. Akufunayo kumuntu ubuyena; usekufezile konke lokho akucelile kumuntu ngaphambi kokucela lokhu kubo. Angeke afune izinto kubantu ebe Yena engazenzi, ngoba konke lokhu kwenza ubuyena. Ngale kokuthi uwenza kanjani umsebenzi Wakhe, angeke angamlaleli uNkulunkulu. Noma ngabe yini ayicela kubantu, akukho okungaphezu kwalokho umuntu akwazi ukukwenza. Konke akwenzayo ukwenza intando kaNkulunkulu futhi kungenxa yokuphatha Kwakhe. Ubunkulunkulu bukaKristu bungaphezulu kwabo bonke abantu, ngakho-ke unegunya phezu kwezidalwa zonke. Leli gunya lingubunkulunkulu Bakhe, isimo nobuyena bukaNkulunkulu uqobo, okusho ubuyena. Ngalokho, noma ngabe ubuntu Bakhe bujwayeleke kangakanani, kungephikwe ukuthi unobuyena obunguNkulunkulu uqobo Lwakhe; noma ngabe ukuphi uyakhuluma futhi noma kanjani uthobela intando kaNkulunkulu, angeke kuthiwe akayena uNkulunkulu uqobo. Abantu abayizilima nabangenalwazi bahlala bethi ubuntu obujwayelekile bukaKristu buyiphutha. Noma engakuveza kanjani ubunkulunkulu Bakhe, abantu bayahluleka ukuvuma ukuthi unguKristu. Uma uKristu eveza ukulalela nokuthobeka Kwakhe, yilapho abantu abangezona kakhulu izilima bembona njengoKristu. Kukhona nalabo abamkhipha inyumbazane nokwedelela, kodwa babeke “amadoda amakhulu” aneziqu eziphakeme phezu kwetafula ukuba akhonzwe. Ukuphikisa nokungalaleli kwabantu uNkulunkulu kubangelwa ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ophila enyameni ithobela intando kaNkulunkulu, kanjalo nobuntu obujwayelekile bukaKristu; kulapho kukhona umsuka wokuphikisa nokungalaleli uNkulunkulu. Ukuba uKristu ubengenakho ukuzifihla ebuntwini noma engayifuni intando kaNkulunkulu uBaba ngokubona kwabantu abadaliwe, kodwa egcwele ubuntu obukhulu, mhlawumbe ngabe akekho umuntu ongalaleli. Into eyenza ukuthi abantu bafune ukukholwa kuNkulunkulu ongabonakali osezulwini ukuthi uNkulunkulu osezulwini akanabo ubuntu futhi akanakho nokukodwa okufana nokomuntu odaliweyo. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomkhulu kunabo, kodwa banakho ukungamfuni uKristu.

Yize uKristu emhlabeni ekwazi ukusebenza egameni likaNkulunkulu uqobo Lwakhe, akezi ngenhloso yokutshengisa bonke abantu umfanekiso Wakhe esenyameni. Akezelanga ukuthi bonke abantu bambone; uzele ukuthi avumele abantu ukuthi bavume ukuholwa isandla Sakhe, bese bengena enkathini entsha. Umsebenzi wenyama kaKristu ngowomsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, okusho ukuthi, ngowomsebenzi kaNkulunkulu enyameni, hhayi ukuvumela abantu ukuthi baqonde ngokugcwele ingqikithi Yakhe yenyama. Noma ngabe usebenza kanjani, akukwedluli lokhu okutholakala enyameni. Noma ngabe usebenza kanjani, ukwenza lokhu esenyameni enobuntu obujwayelekile, futhi akabavezeli ngokugcwele abantu ubuso beqiniso bukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi Wakhe enyameni awubi ngaphezulu kwamandla emvelo noma ungalinganiseki njengoba umuntu ecabanga. Yize noma uKristu emele uNkulunkulu uqobo Lwakhe enyameni futhi ewenza Yena umsebenzi okumele wenziwe uNkulunkulu uqobo Lwakhe, akakuphiki ukuthi uNkulunkulu ukhona ezulwini, futhi akajahi ukumemezela imisebenzi Yakhe. Kunalokho, uhlala ecashile enyameni Yakhe. Ngaphandle kukaKristu, labo abazibiza ngokungelona iqiniso ngoKristu abanakho lokho anakho Yena. Uma eqhathaniswa nesimo soKristu bamanga abazidlayo nabaziphakamisa, kuyacaca ukuthi unhloboni yenyama uKristu. Ukukhula kwezinga lamanga abayiwo, kwenza laba oKristu bamanga baziveze, kanti futhi kulapho beba namandla okwenza izimpawu nezimangaliso ukuze bakhohlise abantu. OKristu bamanga abanaso isimo sikaNkulunkulu; uKristu akangcoliswa nawokuncane nje okungokoKristu bamanga. UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze aphelelise umsebenzi wenyama, hhayi ngoba efuna ukuthi abantu bambone. Kunalokho, wenza umsebenzi Wakhe ukuthi kube yiwo oqinisekisa ubuyena, avumele lokhu akuvezayo ukuthi kufakazele ingqikithi Yakhe. Ingqikithi yakhe inesisekelo; ubuyena abubanjiwe yisandla Sakhe; kodwa bubonakaliswa umsebenzi Wakhe nengqikithi Yakhe. Yize enengqikithi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi ekwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, nalapho useyinyama akafani noMoya. Akayena uNkulunkulu onesimo sikaMoya; unguNkulunkulu onomzimba wenyama. Ngalokho-ke, noma engajwayeleka kanjani noma engaba buthaka kanjani, noma ngabe uyifuna kanjani intando kaNkulunkulu uBaba, ubunkulunkulu Bakhe bungebuphikwe. Esimweni somuntu uNkulunkulu ukhona hhayi kuphela ngobuntu obujwayelekile nobuthaka babo; kukhona nokungaphezu okungubuhle nobunkulunkulu Bakhe obungeqondwe, kanjalo nayo yonke imisebenzi Yakhe esenyameni. Ngalokho-ke, kokubili ubuntu nobunkulunkulu bukuKristu empeleni kukhona ngaphakathi kuKristu. Lokhu akulona ize noma akukho ngaphezu kwamandla emvelo. Uze emhlabeni ephokophelele into eyodwa ukwenza umsebenzi Wakhe; kubalulekile ukuthi ube nobuntu obujwayelekile ukuze wenze umsebenzi emhlabeni; ngale kwalokho, noma ngabe makhulu kangakanani amandla obunkulunkulu Bakhe, umsebenzi wakho wokuqala angeke ube namsebenzi. Yize ubuntu Bakhe bubaluleke kakhulu, abuyona ingqikithi Yakhe. Ingqikithi Yakhe ubunkulunkulu; ngakho-ke, uma nje eqala ukwenza inkonzo Yakhe emhlabeni kulapho eqala khona ukuveza ubuyena bobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe benzelwe kuphela ukusimamisa impilo ejwayelekile yenyama Yakhe ukuze ubunkulunkulu Bakhe buzokwenza umsebenzi Wakhe ngokujwayelekile enyameni; ubunkulunkulu obuqondisa wonke umsebenzi Wakhe. Uma ewuqeda umsebenzi Wakhe, uzobe esephelelise inkonzo Yakhe. Umuntu okumele akwazi umsebenzi Wakhe ophelelisiwe, futhi umsebenzi Wakhe ozokwenza ukuthi abantu bamazi. Ngenkathi enza umsebenzi Wakhe, kulapho eveza khona ubunkulunkulu Bakhe, okuyisimo esingangcoliswa ubuntu, noma ubuyena obungcoliswe imicabango nendlela yokuziphatha yomuntu. Uma sifika isikhathi sokuthi inkonzo Yakhe yonke ipheleliswe, uzobe esephelelise waphinde waveza ngokuphelele isimo okumele asiveze. Umsebenzi Wakhe awuyalelwa ngumuntu; ukuveza isimo Sakhe nakho ukwenza ngokukhululeka, akulawulwa yingqondo noma kucatshangwe imicabango, kodwa kuvezwa ngokwendalo. Lokhu angeke kutholwe yinoma ubani. Noma ngabe izimo ezimuhaqile zinzima noma izimo zingavumi, uyakwazi ukuveza isimo Sakhe ngesikhathi esifanele. Lowo onguKristu uveza ubuKristu, kanti labo abangasikho abanaso isimo sikaKristu. Ngalokho-ke, noma bonke bemphikisa noma benemibono Ngaye, akekho ongaphikisa ngokombono wabantu ukuthi isimo esivezwa nguKristu singesikaNkulunkulu. Bonke laba abalandela uKristu ngenhliziyo eneqiniso noma abafuna uNkulunkulu ngenhloso bazovuma ukuthi unguKristu ngenxa yokuvezwa yisimo sobunkulunkulu Bakhe. Angeke bamphike uKristu ngenxa yanoma ikuphi okunye Kwakhe okungahambisani nokucatshangwa umuntu. Yize umuntu enobulima, bonke bayazi ukuthi iyini intando yomuntu nokuthi yikuphi okuvela kuNkulunkulu. Kungukuthi nje abantu abaningi baphikisa ngabomu uKristu ngenxa yezinhloso zabo. Uma kungengenxa yalokhu, akekho umuntu ongaba nesizathu sokuphika ubukhona bukaKristu, ngoba ubunkulunkulu obuvezwa nguKristu bukhona ngempela, futhi umsebenzi Wakhe ungabonwa ngamehlo enyama.

Umsebenzi nokuvezwa uKristu kuveza ingqikithi Bakhe. Uyakwazi ukuqeda ngenhliziyo eneqiniso konke lokhu athenjwe ngakho. Uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu osezulwini ngenhliziyo eneqiniso, futhi ngenhliziyo eneqiniso afune intando kaNkulunkulu uBaba. Konke lokhu kuvezwa ingqikithi Yakhe. Kanjalo nokwembuleka kwendalo kuvezwa ingqikithi Yakhe; isizathu sokuthi ukwembuleka Kwakhe kwendalo kubizwe kanjena ukuthi lokhu akuvezayo akukhona okokufanekisa, noma umphumela wokufundiswa umuntu, noma umphumela weminyaka eminingi elungiswa ngumuntu. Akazange akufunde noma azihlobise ngakho; kunalokho, kuyinto engaphathi Kuye. Abantu bangawuphika umsebenzi Wakhe, lokhu akuvezayo, ubuntu Bakhe, kanye nayo yonke impilo yobuntu Bakhe obujwayelekile, kodwa akekho ongaphika ukuthi ukhonza uNkulunkulu osezulwini ngenhliziyo eneqiniso; akekho ongaphika ukuthi uzile ukuzofeza intando kaBaba wasezulwini, akekho futhi ongaphika ubuqotho afuna ngabo uNkulunkulu uBaba. Yize isithombe Sakhe singazithokozisi izinzwa, inkulumo Yakhe ingenawo umoya ongaphezu kokuvamile, nomsebenzi Wakhe unganyakazisi umhlaba noma unyakazise izulu njengoba umuntu ecabanga, ngempela unguKristu, ofeza intando kaBaba osezulwini ngenhliziyo eneqiniso, othobela ngokugcwele uBaba osezulwini, futhi othoba kuze kube sekufeni. Lokhu kungenxa yokuthi ingqikithi Yakhe yingqikithi kaKristu. Kunzima ukuthi abantu balikholwe leli qiniso kodwa lona likhona impela. Uma inkonzo kaKristu isigcwalisiwe ngokupheleleyo, abantu bazokwazi ukubona emsebenzini Wakhe ukuthi isimo Sakhe nobuyena bumele isimo nobuyena bukaNkulunkulu ezulwini. Ngaleso sikhathi, ukusongwa komsebenzi Wakhe kuzoqinisekisa ukuthi ngempela uyinyama Izwi eliba yiyo, futhi engafani nenyama negazi lomuntu. Isinyathelo ngasinye somsebenzi kaKristu emhlabeni simele okuthile okubalulekile, kodwa umuntu obona umsebenzi uqobo wesinyathelo ngasinye akanakho ukuqonda ukubaluleka komsebenzi Wakhe. Lokhu kunjalo kakhulu ezinyathelweni eziningi zomsebenzi owenziwe uNkulunkulu esesimweni somuntu okwesibili. Abaningi balabo abezwe noma ababone amazwi kaKristu kuphela kodwa abangakaze bambone Yena abanamicabango ngomsebenzi Wakhe; labo abambonile uKristu bawezwa namazwi Akhe, bawubona futhi nomsebenzi Wakhe, bakuthola kunzima ukwamukela umsebenzi Wakhe. Ngabe lokhu kwenziwa ukuthi umfanekiso kanye nobuntu bukaKristu akusikho lokhu okuthandwa abantu? Labo abemukela umsebenzi Wakhe emva kokuthi uKristu esehambile angeke babe nalobu bunzima, ngoba bemukela umsebenzi Wakhe nje kuphela futhi abahlangani nobuntu obujwayelekile bukaKristu. Umuntu akakwazi ukulahla imicabango yakhe ngoNkulunkulu kunalokho uyamhlolisisa; lokhu kungenxa yokuthi umuntu ugxila kuphela emfanekisweni Wakhe bese engakwazi ukubona ingqikithi Yakhe ngokomsebenzi Wakhe namazwi Akhe. Uma umuntu evala amehlo akhe angabuki umfanekiso kaKristu noma agweme ukukhuluma ngobuntu bukaKristu, akhulume kuphela ngobunkulunkulu Bakhe, lowo umsebenzi Wakhe namazwi Akhe angaqondwa ngabantu, ngalokho umcabango womuntu anawo Ngaye uzokwehla, okungathi ngisho nengxenye yobunzima umuntu ahlangabezana nabo bungaxazululeka. Ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, abantu abakwazi ukumbekezelela futhi bagcwele imibono eminingi Ngaye, kanti nokumphikisa nokungamlaleli kuvamile. Abantu abakwazi ukumelana nobukhona bukaNkulunkulu, noma ukukhombisa ukuzwelana nokuthobeka nokufihlakala kukaKristu, noma ukuxolela ingqikithi kaKristu elalela uBaba osezulwini. Ngalokho-ke, angeke ahlale nabantu phakade emva kokuqeda Kwakhe umsebenzi Wakhe, ngoba umuntu akafuni ukumvumela aphile Naye. Uma abantu engakhombisi ukuzwelana Naye ngesikhathi somsebenzi Wakhe, bazokwazi kanjani ukubekezelela ukuhlala Naye uma eseyifezile inkonzo Yakhe, ebabuka bezwa amazwi Akhe kancane kancane? Angeke abaningi bawe ngenxa Yakhe? Abantu bamvumela ukuthi asebenze emhlabeni kuphela; yilokhu kuphela abantu abangakwazi ukuzwelana Naye kukho. Ukube bekungekhona okomsebenzi Wakhe, abantu ngabe kade bamxosha emhlabeni, ngakho bazoba nozwelo oluncane kangakanani uma esewuqedile umsebenzi Wakhe? Angeke abantu bambulale bamhluphe kuze kube sekufeni? Uma ubengabizwa ngoKristu, ubengeke akwazi ukusebenza phakathi kwabantu; ukube akazange asebenze ngobunjalo bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe, wakhetha, kunalokho, ukusebenza njengomuntu ojwayelekile, abantu ngabe abazange babekezelele ngisho umusho owodwa kwayengakukhuluma, angiphathi eyomsebenzi Wakhe. Ngakho-ke uma enza umsebenzi Wakhe kumele abe nalobu buyena. Ngale ndlela, umsebenzi Wakhe unamandla kakhulu kunokuba ubengenzanga kanjalo, ngoba abantu bonke bafuna ukulalela ubuyena obaziwayo nobukhulu. Ukube kade engenabo ubuyena bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe ngenkathi esebenza noma avele njengoNkulunkulu uqobo Lwakhe, ngabe akazange abe nalo nhlobo ithuba lokwenza umsebenzi. Ngaphandle nje kokuthi unongqikithi bukaNkulunkulu nobuyena obunguKristu, abantu bebengeke baswabuluke bamvumele enze umsebenzi Wakhe kalula phakathi kwabantu. Emsebenzini Wakhe uba nobuyena bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe; yize noma lo msebenzi unamandla kakhulu kunalowo owenziwa engenabo lobu buyena, umuntu usalokhu engamlaleli ngokugcwele, ngoba abantu bathobela ukuma Kwakhe hhayi ingqikithi bakhe. Uma kunjalo, uma kwenzeka ngelinye ilanga uKristu ehla esikhundleni Sakhe, ngabe abantu bangamvumela aphile ngisho usuku olulodwa? UNkulunkulu uyathanda ukuphila emhlabeni nabantu ukuze azobona umphumela ozolethwa umsebenzi wezandla Zakhe eminyakeni ezayo. Kodwa-ke, umuntu akakwazi ukubekezelela ukuhlala Kwakhe ngisho usuku olulodwa nje, ngakho-ke, ubeyolahla ithemba. Nalapho vele sekuwukubekezela okukhulu komuntu nomusa kaNkulunkulu nokuthi akwazi ukwenza umsebenzi okumele awenze nokuphelelisa inkonzo Yakhe. Yize labo abanqontshwe Nguye baba nomusa Kuye, bamvumela kuphela ukuthi ahlale aze aqede umsebenzi Wakhe hhayi nomzuzu ngaphezulu emva kwalokho. Uma lokhu kunjalo, sithini ngalabo angabanqobile? Akusona isizathu sokuthi abantu bamphathe kanje uNkulunkulu osesimweni somuntu ngenxa yokuthi unguKristu osemzimbeni womuntu ojwayelekile? Ukube ubenobunkulunkulu kuphela futhi engenabo ubuntu obujwayelekile, ngabe ubunzima babantu abuxazululekanga kalula nje? Abantu bayabuvuma ubunkulunkulu Bakhe yize bengathandisisi bese bengabi nandaba nomzimba womuntu ojwaleyelekile, naphezu kweqiniso lokuthi ingqikithi Yakhe ekaKristu ithobela intando kaBaba osezulwini. Ngalokhu, angachitha kuphela umsebenzi wokuba phakathi kwabantu abelane nabo injabulo nosizi, ngoba abantu bebengasakubekezeleli ukuba khona Kwakhe.

Kuvela encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okwedlule: 5. Kufanele Ukholwe Kanjani KuNkulunkulu Ukuze Usindiswe futhi Upheleliswe?

Okulandelayo: 2. Ukubaluleka KukaNkulunkulu Obe Yinyama

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp