Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Kanye Nomsebenzi Womuntu

Kumele ufinyelele ekwazini umbono womsebenzi kaNkulunkulu futhi ubambe indlela ejwayelekile umsebenzi Wakhe ohamba ngayo. Lokhu wukungena ngendlela elungile. Uma sewazi amaqiniso ngokuphelele ngombono, ukungena kwakho kuzovikeleka ngempela; noma umsebenzi Wakhe ungashintsha kangakanani, awuzukushintsha enhliziyweni yakho, ucaceleke ngombono, futhi uzoba nomgomo ngokungena kwakho kanye nalokho okulandelayo. Ngaleyo ndlela, konke oke wabhekana nakho kanye nolwazi olungaphakathi kuwe kuzokhula ngokujulile futhi kucwengisiswe. Uma sewuqonda konke ngokugcwele, ngeke ubhekana nokulahlekelwa empilweni, futhi ngeke uduke. Uma ungakazazi lezi zigaba zokusebenza, uzobhekana nokulahlekelwa esinyathelweni ngasinye, futhi kuyokuthatha ngaphezu kwezinsuku ezimbalwa nje ukuguqula izinto, futhi ngeke ukwazi ukungena endleleni efanele ngisho emasontweni ambalwa nje. Ngabe lokhu akuzukubambezela? Kunokungena okuningi ngendlela eyiyo kanye nalezo zenzo okumele uzazi ngokugcwele, futhi kumele ubambe amaphuzu amaningi amayelana nombono ngomsebenzi Wakhe, njengokubaluleka komsebenzi Wakhe wokunqoba, indlela elungiswayo ngomuso, okumele kufinyelelwe kukho ngolwazi lwalokho oke wabhekana nakho ngaphambili ngezilingo nezinhlupheko, ukubaluleka kokwahlulela nokusolwa, imigomo yomsebenzi kaMoya oNgcwele, kanye nemigomo yokulungisisa kaye nokunqoba. Lokhu kungamaqiniso ombono. Izigaba ezintathu ezisele zomsebenzi weNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkaathi Yombuso, kanjalo nobufakazi bangomuso. Lawa ngamaqiniso amayelana nombono, futhi abaluleke kakhulu, kanti futhi amqoka. Njengamanje, kuningi kakhulu okumele ungene kukho bese ukwenze, futhi manje sekwendlalwe kakhulu futhi kwacaciswa kakhulu. Uma ungenalo ulwazi ngala maqiniso, lokho kuwubufakazi bokuthi awukangeni. Esikhathini esiningi, ulwazi lomuntu ngeqiniso luba phansi kakhulu; umuntu uyehluleka ukwenza amaqiniso ayisisekelo athile futhi akazi ukuthi angabhekana kanjani nezinto eziwubala. Isizathu sokuthi umuntu ehluleke ukwenza iqiniso ukuthi isimo sakhe singesokuhlubuka, nangenxa yokuthi ulwazi lwakhe ngomsebenzi wanamuhla luncane kakhulu futhi lubheke uhlangothi olulodwa. Ngakho, akusiwo umsebenzi olula kumuntu ukulungisiswa. Ukuhlubuka kwakhe kukhulu kakhulu, futhi ugcina isimo sakho sakudala kakhulu; uyehluleka ukuma ohlangothini lweqiniso, futhi uyehluleka ukwenza ngisho iqiniso elibonakala ngokusobala. Abantu abanjalo ngeke basindiswe futhi bayilabo abangakanqotshwa. Uma ukungena kwakho kungenamininingwane noma izinhloso, ukukhula kuzoza kuwe kancane kancane. Uma ukungena kwakho kungenalo ngisho elincane iqiniso, ukulandela kwakho kuyize. Uma ungakuqaphile okuwumgogodla weqiniso, uzohlala ungashintshile. Ukukhula kwempilo yomuntu kanye nokushintsha kwesimo sakhe konke kwenzeka ngokungena kokungokoqobo futhi, phezu kwakho konke, ngokungena kabanzi kulokho umuntu ake adlula kukho. Uma unokuningi oke wabhekana nakho ngesikhathi ungena, futhi unolwazi oluningi olungolwempela kanye nokungena, isimo sakho sizoshintsha ngokushesha. Noma ngabe njengamanje awukacacelwa ngokwenza, kumele okungenani ucacelwe ngemibono yomsebenzi kaNkulunkulu. Uma kungenjalo, awusoze wakwazi ukungena, futhi ngeke uze ukwazi ukwenza njalo ngaphandle uma unolwazi lokuqala ngeqiniso. Uma ukhanyiselwe uMoya oNgcwele kuphela kulokho oke wadlula kukho, uyokwazi ukuqonda kabanzi ngeqiniso futhi ungene ngokujulile. Kumele uwazi umsebenzi kaNkulunkulu.

Emuva kokudalwa kwesintu ekuqaleni, kwakungama-Israyeli asebenza njengesisekelo somsebenzi, futhi u-Israyeli ewonke wawuyisisekelo somsebenzi kaJehova emhlabeni. Umsebenzi kaJehova kwakuwukuhola nokwelusa umuntu ngokuqondile ngokubeka imithetho ukuze umuntu akwazi ukuphila impilo ejwayelekile nokudumisa uJehova ngendlela ejwayelekile emhlabeni. UNkulunkulu eNkathini Yomthetho wayengabonwa futhi angathintwa muntu. Wayehola umuntu owayekhohlakaliswe uSathane nje, futhi wayekhona ukuze ayalele futhi eluse laba bantu, ukuze amazwi awakhuluma ayengawomthetho, nemiyalelo kanye nolwazi olujwayelekile ngokuphila impilo njengomuntu kuphela, kwakungasiwo wonke amaqiniso anika umuntu ukuphila. Ama-Israyeli ngaphansi kobuholi Bakhe ayengewona lawo akhohlakaliswe ngokujulile uSathane. Umsebenzi Wakhe womthetho wawusesigabeni sokuqala ngqa somsebenzi wensindiso, ukuqala komsebenzi wensindiso, futhi kwakungahlangene nhlobo nokushintsha isimo sempilo yomuntu. Ngakho, sasingekho isidingo somsebenzi wensindiso ekuqaleni okwakumele awenze ukuze abe yinyama ngokomsebenzi Wakhe wakwa-Israyeli. Ngale ndlela wayedinga indlela, okuyithuluzi angaxhumana nomuntu ngalo. Ngakho, kwaqubuka phakathi kwabantu labo ababekhuluma futhi besebenzela uJehova, futhi amadodana omuntu kanye nabaprofethi baqala ukusebenzela umuntu ngale ndlela. Amadodana omuntu asebenza phakathi kwabantu esikhundleni sikaJehova. Ukubizwa Nguye kusho ukuthi labo bantu babeka imithetho egameni likaJehova futhi babengabapristi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli; abantu abanjalo babengabapristi ababeqashwe, bevikelwe uJehova, futhi besebenza ngoMoya kaJehova; babengabaholi phakathi kwabantu futhi besebenzela uJehova ngokuqondile. Abaprofethi, kolunye uhlangothi, babeyilabo ababezinikele ekukhulumeni egameni likaJehova kubantu bamazwe onke kanye nezinhlanga. Babephinde babe yilabo ababeprofetha ngomsebenzi kaJehova. Kungaba amadodana omuntu noma abaprofethi, bonke babekhuliswe uMoya kaJehova Uqobo futhi babesebenzele uJehova okubo. Phakathi kwabantu, kwakukhona labo ababemele uJehova ngqo; babesebenze ngoba babekhuliswe uJehova futhi kwakungeve kungenxa yokuthi babeyinyama uMoya oNgcwele ayebe umuntu kuyo. Ngakho, yize babekhuluma ngokufanayo egameni likaNkulunkulu, lawo madodana omuntu nabaprofethi beNkathi Yomthetho babengesiyo inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. NgeNkathi Yomusa kwenzeka okuphambana nalokho futhi esigabeni sokugcina, umsebenzi wensindiso nowokwahlulela umuntu wenziwa uNkulunkulu esesimweni somuntu Uqobo, ngakho asibanga khona isidingo sokuvusa abaprofethi kanye namadodana ayezosebenza egameni Lakhe. Emehlweni abantu, awukho umehluko otheni phakathi komongo nendlela yokusebenza kwabo. Futhi yilesi isizathu sokuthi umuntu ahlale edidekile ngomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu nalowo wabaphrofethi nowamadodana nomuntu. Ukuvela kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kwakufana nokwabaprofethi kanye namadodana omuntu. Futhi uNkulunkulu osesimweni somuntu wayejwayeleke kakhulu futhi ekholakala ngaphezu kwabaprofethi. Ngakho umuntu wehluleka impela ukwahlukanisa phakathi kwakho. Umuntu ugxila kulokho okubonakalayo, futhi uhlala engazi nhlobo, yize kokubili umsebenzi nokukhuluma, kunomehluko omkhulu. Ngenxa yokungakwazi komuntu ukwahlukanisa, umuntu akakwazi ukwahlukanisa izinto ezilula, futhi akakwazi nokwahlukanisa phakathi kwento enkulu. Amagama nomsebenzi wabaprofethi kanye nalabo abasetshenziswa uMoya oNgcwele babenza umsebenzi womuntu bebonke, benza umsebenzi Wakhe njengezidalwa ezidaliweyo, kanye nokwenza lokho okumele kwenziwe umuntu. Nokho, amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu kwakuwukuqhuba imisebenzi Yakhe. Yize isimo Sakhe sangaphandle kwakungesesidalwa esakhiwe, umsebenzi Wakhe wawungesikho ukuqhubezela umsebenzi Wakhe kodwa owenkonzo Yakhe. Igama elithi “umsebenzi” lisetshenziselwa izidalwa ezidaliweyo, kube elithi “inkonzo” lisetshenziselwa inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Lokhu kungumehluko obalulekile phakathi kwalokhu okubili, futhi lokhu okubili akunakushintshisana. Umsebenzi womuntu uphathelene nomsebenzi wakhe kuphela, kube umsebenzi kaNkulunkulu kungukuphatha, nokuqhuba inkonzo Yakhe. Ngakho, yize abaphostoli abaningi babesetshenziswa uMoya oNgcwele futhi abaprofethi babegcwalisiwe Ngaye, umsebenzi kanye namazwi kwakungawokwenza umsebenzi wawo kuphela njengesidalwa esidaliwe. Yize iziprofetho zabo zingase zibe ngaphezu kwendlela yokuphila okukhulunywa ngayo kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi ngisho ubuntu babo babeqa lokho kukaNkulunkulu osesimweni somuntu, babenza umsebenzi wabo, kanye nokungagcwaliswa kwenkonzo. Umsebenzi womuntu umayelana nomsebenzi womuntu, futhi kuyinto umuntu angafinyelela kuyo. Nokho, inkonzo eqhutshwa uNkulunkulu osesimweni somuntu uphathelene nokuphatha Kwakhe, futhi umuntu angakwazi ukufinyelela kukho. Ukuthi ngabe uNkulunkulu osesimweni somuntu uyakhuluma, uyasebenza, noma ubonakala ngezimangaliso, wenza umsebenzi omkhulu kakhulu ngaphakathi kokuphatha Kwakhe, futhi umsebenzi onjalo ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Umsebenzi womuntu ukwenza umsebenzi wakhe kuphela odalwe esigabeni esithile somsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu. Ngaphandle kokuphatha kukaNkulunkulu, okusho ukuthi, uma inkonzo kaNkulunkulu osesimweni somuntu bekufanele ilahleke, kanjalo nomsebenzi walokho okudaliwe. Umsebenzi kaNkulunkulu ekuqhubeni inkonzo Yakhe ukuphatha umuntu, ekubeni umsebenzi womuntu ngukwenza umsebenzi wakhe ngokwezibopho zakhe zokuhlangabezana noMdali futhi kungethathwe ngokuthi ukuqhuba inkonzo yakhe. Empeleni kumongo kaNkulunkulu, okusho ukuthi, uMoya Wakhe, umsebenzi kaNkulunkulu ukuphatha Kwakhe, kodwa uNkulunkulu osesimweni somuntu ugqoke okungaphandle kwalokho okudaliwe, umsebenzi Wakhe ukuqhuba inkonzo Yakhe. Noma ngabe wenza muphi umsebenzi ekuqhubeni inkonzo Yakhe, futhi konke umuntu angakwenza ukwenza okusemandleni akhe onke okuyingxenye yokuphatha kwakhe nokungaphansi kobuholi Bakhe.

Umuntu owenza umsebenzi wakhe, empeleni, ukufezwa kwakho konke okuhambisana nomuntu okungaphakathi, okusho ukuthi, lokho okungenziwa umuntu. Yilapho kuyogcwaliseka khona umsebenzi wakhe. Izinkinga zomuntu ngenkathi eqhuba umsebenzi wakhe ziyancipha kancane ngokuqhubeka kwalokho odlule kukho kanye nenqubo yalokho adlule kukho ngokwahlulelwa; akuvimbi noma kuphazamise umsebenzi womuntu. Labo abayekayo ukusebenza noma abamayo futhi bahlehlele emuva ngokwesaba umonakalo ongase ube khona emsebenzini bangamagwala amakhulu. Uma umuntu ehluleka ukuveza lokho okumele akuveze ngenkathi enza umsebenzi noma efeza lokho angakwazi ukukufeza, futhi kunalokho edlala futhi ebhekene nemizwa, ulahlekelwe umsebenzi okumele umuntu odaliwe abe nawo. Lolu hlobo lomuntu luthathwa ngokuthi ujwayelekile futhi akayinto yalutho; kungenzeka kanjani ukuthi umuntu onje ahlonishwe ngokuba njengesidalwa esidaliwe? Ave lokho kuyizinhlaka zokukhohlakala ezikhanya ngaphandle kodwa zibe zibolile ngaphakathi? Uma umuntu ezibiza ngoNkulunkulu ebe engakwazi ukubonakalisa ubuNkulunkulu bakhe, enza umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo, akunakungatshazwa ukuthi akasiye uNkulunkulu, ngoba akanawo umongo kaNkulunkulu, futhi lokho uNkulunkulu angakwazi ukukufeza akukho ngaphakathi kuye. Uma umuntu elahlekelwa yilokho akutholile, ngeke asathathwa ngokuthi ungumuntu, futhi akasafanelekile ukuma njengomuntu odaliwe noma ukuza phambi kukaNkulunkulu nokumsebenzela. Phezu kwalokho, akafanelwe ukuthola umusa kaNkulunkulu noma ukugadwa, avikelwe, futhi apheleliswe uNkulunkulu. Abantu abaningi balahlekelwe ukwethemba uNkulunkulu futhi balahlekelwe umusa kaNkulunkulu. Akuve nje kuwukuthi bazonda amaphutha abo kodwa baqhubezela umbono wokuthi indlela kaNkulunkulu ayilungile. Futhi labo abahlubukayo baze baphike nobukhona bukaNkulunkulu; kungenzeka kanjani ukuthi lolu hlobo oluhlubukayo lube nenhlanhla yokuthokozela umusa kaNkulunkulu? Abantu abahlulekile ukugcwalisa umsebenzi wabo bahlubuke kakhulu kuNkulunkulu futhi bamukweleta kakhulu, nokho baphenduka bathi uNkulunkulu wenza okungalungile. Umuntu onjalo angakufanelekela kanjani ukupheleliswa? Ingabe lona akuyena yini ohamba phambili ekwesulweni nasekujezisweni? Umuntu obengawenzi umsebenzi wakhe phambi kukaNkulunkulu vele usenecala elesabekayo kakade, ngisho ukufa okungeke kube isijeziso esanele ngaye, kube umuntu unesibindi sokuphikisana noNkulunkulu futhi aziqhathanise Naye. Ngabe umuntu owulolu hlobo ufanelwe kangakanani ukulungisiswa? Uma umuntu ehluleka ukufeza umsebenzi wakhe, kumele azizwe enecala futhi enesikweletu esikhulu; kumele azisole ngokuntengantenga kwakhe kanye nokungabi lusizo, ukuhlubuka kwakhe kanye nokukhohlakala, futhi phezu kwakho konke, kumele anikele ngempilo yakhe negazi kuNkulunkulu. Yilapho kuphela lapho kuyovuka ukuba isidalwa esidaliwe esimthanda ngokweqiniso uNkulunkulu, futhi yilolo hlobo lomuntu kuphela olufanelwe ukuthokozela izibusiso nezethembiso zikaNkulunkulu, kanye nokulungisiswa Nguye. Bese kuthiwani ngeningi lenu? Nimphatha kanjani uNkulunkulu ophila ngaphakathi kwenu? Niwenze kanjani umsebenzi wenu phambi Kwakhe? Ngabe nenze konke ebenibizelwe ukuthi nikwenze, ngisho noma kubiza impilo yenu uqobo? Ninikele ngani? Anikutholanga okuningi Kimi? Niyakwazi yini ukubona umehluko? Nethembeke kangakanani Kimi? Ningisebenzele kanjani? Futhi ngabe ngibekeni phezu kwenu futhi nginenzeleni? Ngabe nikukalile konke? Ngabe nahlulele futhi naqhathanisa lokhu nonembeza omncane eninawo ngaphakathi kwenu? Angafanela bani amazwi nezenzo zenu? Ngabe wumnikelo wenu omncane kufanele ngabe ngiwubeke phezu kwenu? Akukho okunye engingakwenza futhi ngizinikele kini ngenhliziyo yami iyonke, kodwa nisanemicabango ongemihle Ngami futhi ninginike inhliziyo engaphelele. Ungako umsebenzi wenu, uwona msebenzi wenu kuphela. Akunjalo? Anazi ukuthi anikawufezi umsebenzi wesidalwa esidaliwe? Ningathathwa kanjani njengalokho okudaliwe? Anazi ngokucacile yini ukuthi nithini nokuthi niyaphila yini ngokuvumelana? Nehlulekile ukugcwalisa umsebenzi wenu, kodwa nifuna ukuthola ukubekezela kanye nomusa kaNkulunkulu. Lowo musa awulungiselwanga labo abangenabo ubuntu nabanjengani, kodwa labo abangaceli lutho futhi abazinikela bekhululekile. Abantu abanjengani, abanganake lutho oluvamile, abafanelwe ukuthokozela umusa wasezulwini. Kumele nje babhekane nobunzima kanye nesijeziso sengunaphakade esizohambisana nabo ngezinsuku zokuphila! Uma nehluleka ukwethembeka Kimi, umphumela wenu kuyoba ukuhlupheka nje. Uma nehluleka ukuphendula ngamazwi Ami nomsebenzi Wami, ninonke nizojeziswa. Noma omuphi umusa, izibusiso, kanye nempilo enhle embusweni akuzukuhlangana nani. Yilesi siphetho esinifanele kanye nomphumela wezenzo zenu! Akuve nje kuwukuthi labo bantu abayiziwula nabanenkani abazamanga ngamandla abo wonke noma abawenzanga umsebenzi wabo, kodwa belule izandla zabo befuna umusa, sengathi lokho abakucelayo kubafanele. Futhi behlulekile ukuthola lokho abakucelayo, baphelelwa ukukholwa kakhulu. Abantu abanjalo kungashiwo kanjani ukuthi benza okufanele? Niyizehluleki futhi anicabangi ngokugcwele, anikwazi nhlobo ukufeza umsebenzi wenu okumele niwugcwalise ngenkathi kuqhutshwa umsebenzi wokuphatha. Anisenathunzi nhlobo. Ukwehluleka kwenu ukungikhokhela ngokunenzela umusa ongaka vele sekuyisenzo sokuhlubuka esikhulu, esanele ukunigxeka futhi esibonakalisa ubugwala benu, nokwehluleka, nokungabi nasisekelo kanye nokungafaneleki. Nisangafaneleka kanjani ukugcina izandla zenu zeluliwe? Niyehluleka ukuveza noma oluncane usizo emsebenzini Wami, niyehluleka ukwethembeka, futhi niyehluleka ukuba ngofakazi Bami. Lokhu kungamaphutha nokwehluleka kwenu, kube esikhundleni sokungihlasela, nikhuluma okungasilo iqiniso Ngami, futhi nikhalaza ngokuthi angilungile. Ngabe yilokhu okungukwethembeka kwenu? Ngabe yilokhu okunguthando lwenu? Ngimuphi umsebenzi eningawenza ngaphezu kwalo? Ngabe nibe negalelo elingakanani kuwo wonke umsebenzi owenziwe? Nizikhandle kangakanani? Vele sengikhombise isineke esikhulu ngokunganigxeki, nokho ngaphandle kwamahloni nisaqhubeka nokuba nezaba Kimi nokukhalaza Ngami ngasese. Ngabe ninakho nje okuncane okuwubuntu? Yize umsebenzi womuntu ungcoliswa umqondo womuntu nemizwa yakhe, kumele wenze umsebenzi wakho futhi ukhombise ukwethembeka kwakho. Ukungcola komsebenzi womuntu kuwuphawu lwamandla akhe, kube, uma umuntu engawenzi umsebenzi wakhe, kubonakalisa ukuhlubuka kwakhe. Akukho ukuhambisana phakathi komsebenzi womuntu kanye nalokho akubusisile noma akuqalekisile. Umsebenzi yilokho okumele kugcwaliswe umuntu; wumsebenzi wakhe futhi akumele uncike ekunxeshezelweni, ezimweni, noma ezizathwini. Yilapho kuphela okuyothiwa wenza umsebenzi wakhe. Umuntu obusisiwe uthokozela ubuhle uma esephelelisiwe emuva kokujeziswa. Umuntu oqalekisiwe uthola isijeziso uma isimo sakhe sihlala singashintshiwe emuva kokusolwa nokwahlulelwa, okusho ukuthi, akakalungisiswa. Njengesidalwa, umuntu kumele afeze umsebenzi wakhe, enze okumele akwenze, futhi enze akwazi ukukwenza, noma ngabe ezobusiswa noma ezoqalekiswa. Lokhu kuyisisekelo somgomo womuntu, njengalowo ofuna uNkulunkulu. Akumele wenze umsebenzi wakho ngoba ufuna ukubusiswa, futhi akumele wenqabe ukwenza okuthile ngoba wesaba ukuqalekiswa. Mangikutshele lokhu okukodwa: Uma umuntu ekwazi ukwenza umsebenzi wakhe, kusho ukuthi wenza lokho okumele akwenze, futhi uma engakwazi ukwenza umsebenzi wakhe, khona-ke lokhu kuwukuhlubuka. Umuntu ushintsha kancane kancane ngokuhlala elandela inqubo yokusebenza, futhi ngale nqubo ukwazi ukukhombisa ukwethembeka kwakhe. Futhi, uma ukwazi ukwenza umsebenzi wakho, uzothola amaqiniso amaningi, futhi nalokho okubonakalisayo kuzoba nobuqiniso obukhulu. Labo abamane benze ngokugcina icala umsebenzi wabo futhi abangalifuni iqiniso bayokhishwa ekugcineni, ngoba labo bantu abawenzi umsebenzi wabo ngokweqiniso, futhi abalenzi iqiniso ekugcwalisweni komsebenzi wabo. Abantu abanjalo bayohlala bengaguquliwe futhi bayoqalekiswa. Abakuvezayo akuve nje kungahlanzekile, kodwa baveza ububi bodwa.

ENkathini Yomusa, uJesu wakhuluma futhi wenza umsebenzi omkhulu. Wayehluke kangakanani kuno-Isaya? Wayehluke kangakanani noDaniyeli? Ngabe wayengumprofethi? Kungani kuthiwa unguKristu? Yini umehluko phakathi kwabo? Bonke babengamadoda ayekhulume amazwi, futhi amazwi abo ayefuna ukufana kumuntu. Bonke babekhuluma futhi benze umsebenzi. Abaprofethi bakwiTestamente Elidala baprofetha, futhi ngokufanayo, noJesu wayengakwazi ukwenza lokho. Kungani kunjalo? Umehluko lapha ususelwa kuhlobo lomsebenzi. Ukuze wahlukanise kulolu daba, akumele ubheke uhlobo lwenyama, noma ubheke ukujula noma ukungakholakali kwamazwi akhe. Kumele uqale ngokubheka umsebenzi wakhe kanye nomthelela womsebenzi wakhe onawo kumuntu. Iziphrofetho ezakhulunywa abaphrofethi ngaleso sikhathi azinikanga ukuphila komuntu, futhi imiyalezo eyatholwa yilabo abanjengo-Isaya noDaniyeli kwakuyiziphrofetho nje, kungasiyo indlela yokuphila. Uma kwakungeve kungenxa yesambulo sikaJehova, akekho umuntu owayengenza lowo msebenzi, ongeke wenziwe ngabantu. NoJesu wakhuluma kakhulu, kodwa lawo mazwi ayeyindlela yokuphila umuntu ayengathola indlela yokuphila ngawo. Lokhu kusho ukuthi, okokuqala, wayekwazi ukunika umuntu ukuphila, ngoba uJesu ungukuphila; okwesibili, wayekwazi ukubuyisela emuva ukuchezuka komuntu; okwesithathu, umsebenzi Wakhe walandela okaJehova ukuze kuqhubeke isikhathi; okwesine, wayekwazi ukuqonda izidingo zomuntu ngaphakathi futhi eqonda lokho okuntulwa umuntu; okwesihlanu, wayekwazi ukuholela esikhathini esisha futhi avale endala. Yingakho ebizwa ngoNkulunkulu noKristu; akungoba ehlukile kuno-Isaya kuphela kodwa wehlukile kunabo bonke abanye abaprofethi. Masibheke u-Isaya simqhathanise nomsebenzi wabaprofethi. Okokuqala, wayengakwazi ukunika umuntu ukuphila; okwesibili, wayengakwazi ukudlulisela umuntu esikhathini esisha. Wayesebenza ngaphansi kobuholi bukaJehova futhi wayengakwazi ukudlulisela umuntu esikhathini esisha. Okwesithathu, ayekhulume ngakho kwakungaphezu kokuqonda kwakhe. Wayethola izambulo ezazivela kuMoya kaNkulunkulu ngqo, futhi abanye babengaqondi, noma sebelalelile. Lezi zinto ezimbalwa zizodwa zazanele ukufakazela ukuthi amazwi akhe ayengasezona iziprofetho, engengaphezu komsebenzi owenziwa kuJehova. Nokho, wayehluleka ukumela uJehova ngokugcwele. Wayeyinceku kaJehova, ithuluzi lomsebenzi kaJehova. Wayenza umsebenzi ngeNkathi Yomthetho futhi enza umsebenzi kaJehova; akasebenzanga ngaphezu kweNkathi Yomthetho. Kwelinye icala, umsebenzi kaNkulunkulu wehluka. Wedlula umsebenzi kaJehova; Wasebenza njengoNkulunkulu osesimweni somuntu futhi wabethelwa ukuze ahlenge isintu sonke. Okusho ukuthi, wenza umsebenzi ongekho emsebenzini owenziwa uJehova. Lokhu kwaba ukudlulisela abantu esikhathini esisha. Esinye isimo ngesokuthi wayekwazi ukukhuluma lokho okwakungenziwe umuntu. Umsebenzi Wakhe wawungumsebenzi ophakathi kokuphatha kukaNkulunkulu futhi ubandakanya isintu sisonke. Wayengasebenzi kubantu abambalwa kuphela, kanjalo nomsebenzi Wakhe kwakungasikho ukuhola abantu abambalwa. Mayelana nokuthi uNkulunkulu waba sesimweni somuntu, nendlela uMoya ayeletha izambulo ngayo ngaleso sikhathi, nokuthi uMoya wawudlulela kanjani kumuntu ukuze wenze umsebenzi, lokhu kuwumsebenzi umuntu ayengenakuwubona noma awuthinte. Kunzima impela ukuthi la maqiniso asebenze njengobufakazi bokuthi unguNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngakho, umehluko ungenziwa phakathi kwamazwi kanye nomsebenzi kaNkulunkulu, ongephatheke kumuntu. Yilokhu kuphela okungokwangempela. Imbangela yalokhu ukuthi izindaba zoMoya azibonakali kuwe futhi azaziwa ngokucacile uNkulunkulu Uqobo kuphela, futhi hhayi ngisho noNkulunkulu osesimweni somuntu ngokwenyama ukwazi konke; ungaqinisekisa kuphela ukuthi unguNkulunkulu ngomsebenzi awenzile. Ngomsebenzi Wakhe, kungabonakala ukuthi, kuqala, ukwazi ukuvula isikhathi esisha; okwesibili, ukwazi ukuhlinzeka ngokuphila kumuntu futhi akhombise umuntu indlela okumele ayilandele. Lokhu kwanele ukuze kubonakale ukuthi UnguNkulunkulu Uqobo. Okungenani, umsebenzi awenzayo ungamela uMoya kaNkulunkulu, futhi lowo msebenzi ungathathwa ngokuthi unguMoya kaNkulunkulu ongaphakathi Kwakhe. Njengoba umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu ungukudlulisela umuntu esikhathini esisha, ukuhola umsebenzi omusha, futhi uvule indawo entsha, le migomo embalwa iyodwa yanele ukuze kubonakale ukuthi unguNkulunkulu Uqobo. Ngakho lokhu kumenza ehluke kuno-Isaya, uDaniyeli, kanye nabanye abaphrofethi abakhulu. U-Isaya, uDaniyeli, kanye nabanye babeyizifundiswa futhi belandela usiko; babengamadoda amangalisayo ayeholwa uJehova. Inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu nayo yayinolwazi olukhulu futhi yayingawuswele umqondo, kodwa ubuntu Bakhe babujwayelekile impela. Wayengumuntu ojwayelekile, futhi iso lenyama lalingenakwahlukanisa ubuntu obukhethekile Ngaye noma libone utho ebuntwini Bakhe olwalwehlukile kwabanye. Wayengenawo amandla amakhulu ayengajwayelekile noma ongavamile, futhi wayengenayo noma iyiphi imfundo ephekeme, ulwazi, noma imfundiso. Impilo ayekhuluma ngayo kanye nendlela ayahamba ngayo wayengayitholanga emfundisweni, olwazini, ngalokho abhekane nakho ngokwedlule, noma ngokukhuliswa ekhaya. Kunalokho, kwakuwumsebenzi kaMoya oqondile, okungumsebenzi wenyama esesimweni somuntu. Ngoba umuntu akanayo imizwa eminingi kaNkulunkulu, futhi ikakhulukazi ngoba lokhu kuqonda kwakhiwa okuningi okungaqondakali nokungaphezu kwemvelo yomuntu, emehlweni omuntu, uNkulunkulu ojwayelekile onobuthakathaka bomuntu, owayengenakuqonda izimpawu nezimangaliso, kuqinisekisiwe ukuthi akasiye uNkulunkulu. Akusiwo amaphutha okuqonda komuntu lawa? Uma inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu beyingajwayelekile kumuntu, pho bekungashiwo kanjani ukuthi waphenduka inyama? Ukuba yinyama kungukuba ngojwayelekile, umuntu ojwayelekile; ukuba Wayebe isidalwa esehlukile, wayengeke abe yinyama. Ukufakazela ukuthi uyinyama, uNkulunkulu osesimweni somuntu kwakudingeka ukuthi abe nenyama ejwayelekile. Lokhu kwakwenzelwa ukugcwalisa ukubaluleka kokuba ngumuntu. Nokho, kwakungenjalo kubaprofethi namadodana omuntu. Babengamadoda ayeneziphiwo futhi esetshenziswa uMoya oNgcwele; emehlweni omuntu, ubuntu babo babubukhulu impela, futhi babenza okuningi okwakungaphezu kobuntu objwayelekile. Ngenxa yalesi sizathu, umuntu wayebathatha ngokuthi banguNkulunkulu. Manje nonke kufanele nikuqonde ngokucacile lokhu, ngoba bekulokhu kuwudaba obeludida abantu abaningi ezinkathini ezedlule. Phezu kwalokho, ukuba sesiswemi somuntu kukaNkulunkulu yikho okuyimfihlo kakhulu kunakho konke, futhi ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu yikho okunzima kakhulu ukuthi umuntu akwamukele. Engikushoyo kudala ukuthi kugcwaliseke umsebenzi wakho kanye nokuqonda izimfihlakalo zokuba nesimo somuntu kukaNkulunkulu. Lokhu kuphathelene nokuphatha kukaNkulunkulu, embonweni. Ukuqonda le ntando kwakho kuzokusiza ukuze uthola ulwazi ngombono, okuwukuthi, ukuphathwa komsebenzi. Ngale ndlela, uzokwazi ukuqonda umsebenzi okumele wenziwe abantu abehlukene. Yize la mazwi engakukhombisi indlela, asewusizo olukhulu ekungeneni kwakho, ngoba ukuphila kwenu manje kuntula umbono, futhi lokhu kuzoba isihibe esikhulu esikuvimba ekungeneni. Uma bewungakuqondi lokhu, akuzoba khona okukugqugquzela ukuthi ungangeni. Futhi lokhu okulandelayo kungenza uwugcwalise kanjani umsebenzi wakho ngamandla akho wonke?

Okwedlule: UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe

Okulandelayo: UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp