29. Ukukhanya Kufudumele Uma Udlula Emhubheni

uWang Yuping, eChina

Njengabo bonke abanye abafowethu nodadewethu abomele ukubuya kweNkosi uJesu, nami ngilangazelele ukuba iNkosi yethu ibuye ukuze isamukele embusweni wezulu masinya ukuze sikwazi ukuthokozelela izibusiso zalo. Ngolunye usuku ngoNovemba ka-2006 ngagcina sengizizwile izindaba zokubuya kweNkosi. Ngokufunda amazwi ashiwo nguNkulunkulu uSomandla kanye nokuhlanganyela kanye nangokufakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina kubafowethu nodadewethuwethu, ngagcina sengibonile ukuthi uNkulunkulu uSomandla osesimweni somuntu uyiNkosi uJesu obuyile. Kusukela lapho, ngazimisela ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina.

Emhlanganweni, uDadewethu uYang wangitshela ngephimbo elijulile: “Njengamanje kunabafowethu nodadewethu abaningi okuthi, emva kokwamukela umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina, bahlangabezane neziphazamiso zikaSathane nezilingo. Abanye bayakhohliswa ngamanga eCCP, abanye bahlangabezana neziphazamiso nokwesabisa kwabefundisi nabadala, abanye baphoqwa noma bavinjelwe yimindeni yabo, futhi amalungu omndeni abanye ibhekana nokugula nezinhlupheko. Lawa ngamaqhinga kaSathane okuzama ukusivimbela ekubuyeleni kuNkulunkulu. Sonke sesiyaqonda ukuthi umsebenzi wokwahlulela kukaNkulunkulu uSomandla uqala endlini kaNkulunkulu, futhi nokuthi lesi yisigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa isintu. Wenza konke okusemandleni ukusindisa umuntu, futhi uSathane naye ulokhu ezama amaqhinga nokuphazamisa kithina ukuze asivimbele ekuzeni phambi kukaNkulunkulu nokuthola insindiso Yakhe. Njengamanje impi eliwayo endaweni yomoya iya ngokuya ishuba, ngakho sidinga ukuba sihlome ngokushesha ngeqiniso futhi sikwazi ukwahlukanisa ukuze singakhohliswa nanini lapho amaqhinga kaSathane evela futhi sifakaze ngoNkulunkulu. Manje, ake sifunde isiqephu ezwini likaNkulunkulu uSomandla.” Ngakho, ngathatha incwadi yamazwi kaNkulunkulu futhi ngafunda ngokucophelela isiqephu esilandelayo: “Uma uNkulunkulu esebenza, uSathane uyahlupha. Ezinsukwini zokugcina, kuzophela ukuhlupha kwakhe; kanjalo nomsebenzi kaNkulunkulu uzophela. UNkulunkulu wenza abantu benze izinto ezinhle; impilo Yakhe amanzi okuphila, ingelinganiswe futhi ayinamkhawulo. USathane usekhohlakalise kakhulu abantu; ekugcineni, amanzi okuphila azomphelelisa umuntu, ngalokho kuzoba nzima ukuthi uSathane agxambukele futhi enze umsebenzi wakhe. Ngalokho, uNkulunkulu uzobazuza ngokuphelele laba bantu. USathane akafuni ukukwamukela lokhu manje; uyaqhubeka nokumbela uNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu akamnakile. Wathi, ngizonqoba wonke amandla obumnyama kaSathane nayo yonke imimoya emibi … UNkulunkulu unokuhlakanipha okungaphezu kwakhe, futhi umsebenzi Wakhe mkhulu kunowakhe. Ngakho-ke, nasekuqaleni ngikushilo lokhu: Umsebenzi engiwenzayo ngiwenza ngokuphendula amaqhinga kaSathane. Ekugcineni ngizokwembula ukuba usomandla Kwami nokungabinamandla kukaSathane. Uma uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, uSathane umlandela ngemuva, kuze kube ukuthi ekugcineni uyabhujiswaangeke azi nokuthi kwenzekeni! Iqiniso uzolibona kuphela uma eseshayiwe wanyathelwa; ngaleso sikhathi uzobe esevutha echibini lomlilo. Uzobe engakakholwa nangaleso sikhathi? Ngoba uzobe engasenawo amaqhinga azowenza!(“Kumele Wazi Ukuthi Sonke Isintu Sithuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). UDadewethu uYang wathi ngesineke kimina: “Ngezwi likaNkulunkulu siyakwazi ukubona ukuthi emsebenzini kaNkulunkulu wokuphatha uSathane ulandela emva kwesinyathelo ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu. UNkulunkulu ungaphambili wenza umsebenzi wokusindisa umuntu, kanti uSathane ungemuva, uyaphazamisa futhi ucekela phansi umsebenzi lowo. Uhlala ebanga umuntu noNkulunkulu, futhi lokhu kuyiqiniso kakhulu ngesigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa umuntu. Kulesi sikhathi uSathane nakakhulu wenza konke okusemandleni akhe, exhaphaza zonke izinhlobo zabantu nezinto ukuze asiphazamise futhi asivimbele ekwamukeleni nasekulaleleni umsebenzi kaNkulunkulu. Yinjongo kaSathane eyenyanyisayo ukuqhelelanisa umuntu noNkulunkulu bese enza umuntu amphike uNkulunkulu futhi amkhaphele, ngaleyo ndlela alahlekelwe yinsindiso kaNkulunkulu. Kodwa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwenziwa lapho ephikisana namaqhinga kaSathane. Usebenzisa iziphazamiso zikaSathane ukuze asilethe ekuqondeni umsebenzi Wakhe nokuhlakanipha Kwakhe kanye namandla onke, kanjalo nokusivumela ukuba sibone ngokucacile inkohlakalo nobubi bukaSathane. Ngakho-ke, noma ngabe kwenzekani esikhathini esizayo, kufanele sonke sithandaze kuNkulunkulu futhi sincike kuNkulunkulu futhi sifune iqiniso, kufanele futhi sikwazi ukubona ngale kwamaqhinga kaSathane ukuze sikwazi ukufakazela uNkulunkulu. Kufana nje nezinhlupho uJobe adlula kuzona. Wafakazela uNkulunkulu, wenza uSathane wahlehla ephoxekile….” Emva kokuzwa uDadewethu uYang engitshela lokhu, ngaphendula ngokholo olukhulu: “Yebo, sikholwa kuNkulunkulu wangempela. Uma sincike kuNkulunkulu akunalutho esingalwesaba; uma ngihlangabezana nokulinga kukaSathane, nakanjani ngiyoma ohlangothini lukaNkulunkulu.”

Ngolunye usuku kungekudala kwenzekile lokhu ngenkathi sengiqedile ukusabalalisa ivangeli ngase ngiphambi komnyango wakwami wangaphambili ngenkathi umakhelwane wami efika kimina ephuthuma evayizisa nezandla, ethi: “Ubukuphi? Sekwenzeke into enkulu! Ngaphambilini indodana yomngani wakho uLiu uhambe wayoboleka iloli lakho, kodwa iloli alidumanga kalula. Ngakho wathola ugandaganda ukuba ulidonse, kodwa emva kokuzama izikhathi eziningana alinyakazanga nhlobo. Njengoba uHu naye ubekhona, ugibele kugandaganda kusuka nje wawufaka egiyeni lesihlanu. Ugandaganda usuke ngesivinini kwathi ikhebhuli lensimbi ebelidonsa ugandaganda lagqashuka, konakala! Ikhebuli ligqashuke lashaya uHu enhlafunweni, ngokushesha igazi laphophoza. Usevele waphuthunyiswa esibhedlela….” Ingqondo yami yavele yamnyama, ngaphuthuma ngangena ekhaya ukuze ngikhuleke kuNkulunkulu: “O Nkulunkulu! Angiyiqondi intando Yakho. Kungani lokhu kuvele kwangehlela ngingazelele? Ngicela ungikhanyisele….” Emva kokuthandaza kuNkulunkulu ngacabanga ngemibhalo evela eBhayibhelini: “Futhi uJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya evela eJordani, wayeseholelwa nguMoya ehlane, walingwa ngudeveli izinsuku ezingamashumi amane” (Luk 4:1-2). Lapho ngicabanga ngala mazwi ngavele ngakhumbula ukuhlanganyela kukaDadewethu uYang mayelana neqiniso lempi yangokomoya. Ngase ngiyaqonda. Lezi zinto zazinguSathane nje engilinga futhi engiphazamisa. USathane wayefuna nje ukusebenzisa lezi zehlakalo ezimbi ukuba angihlasele ukuze ngimngabaze uNkulunkulu, ngimsole futhi ngimphike. Ngempela le yimpi yangokomoya! Kwaba yingalesi sikhathi lapho ngacabanga ngenye into uNkulunkulu ayeyishilo: “Uma, endleleni yokuthanda uNkulunkulu, ukwazi ukuma ohlangothini lukaNkulunkulu lapho elwa noSathane, futhi ungabuyeli kuSathane, uyobe sewukwazile ukuthanda uNkulunkulu, futhi uyobe ume waqina ebufakazini bakho(“Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). La mazwi kaNkulunkulu angigcwalisa ngokholo, futhi ngacabanga ngedwa ngathi: “Sathane, noma ngabe ungiphazamisa kanjani ngeke ngididwe amaqhinga akho, ngeke ngimsole uNkulunkulu noma ngimngabaze, ngizoma ngasohlangothini lukaNkulunkulu, ngizomlandela uNkulunkulu uSomandla ngendlela efanele.” Ngithe lapho ngiyiqonda intando kaNkulunkulu ngazizwa nginokuzinza okukhulu enhliziyweni yami.

Kodwa uSathane wayengazimisele ukuvuma ukunqontshwa, futhi wayesaqhubeka nokungiphazamisa ngabantu nangezinto. Ngenkathi uHu esesibhedlela umndeni wakhe wabeka wonke umthwalo emahlombe omndeni wami. Wawufuna kube yimi okhokhela zonke izindleko zokwelashwa. Ngangilokhu ngizama ukuxoxisana nabo, ngibatshela ukuthi ngangizimisele ukukhokha uhhafu, kodwa kuso sonke leso sikhathi babengafuni ukuvumelana nami. Emva kwamaviki amathathu uHu wayeseluleme, kodwa engakakhishwa esibhedlela. Lokhu kwakwenziwa ngamabomu ukuze bathole imali emndenini wami. Kwase kuthi ngolunye usuku uHu wathi: “Iloli ngelenu, ngakho zonke izindleko kufanele zikhokhwe yinina.” Unkosikazi kaHu wasukuma wamemeza: “Yiqiniso lelo! Njengoba iloli elabandakanyeka engozini kungelakho kufanele-ke kube nguwe okhokhela zonke izindleko....” Njengoba ngangimi lapho kanye nabo bengibelesele ngaqala ukuthukuthela kakhulu. Ngangingene kule nkinga ngingaqondile. Ngezwa ubuhlungu obukhulu, ngangisangene ngenxa yokukhathazeka, futhi ngangingasafuni ukukhuluma nabo, ngakho ngaphuma egumbini lelo ngokungenami. Ngithe uma ngifika esitezi esingezansi ngafikelwa umcabango othi: “Ngiyikholwa kuNkulunkulu; uma izinto ezinjengalezi zenzeka kimina akufanele ngithukuthele ngale ndlela, kufanele ngibeke lolu daba ezandleni zikaNkulunkulu. Kufanele ngethembele kuNkulunkulu. Ngithe uma ngibuyela ekhaya ngavula incwadi yezwi likaNkulunkulu ngase ngibona amazwi alandelayo kaNkulunkulu: “Kuzo zonke izigaba zomsebenzi uNkulunkulu awenzayo phakathi kubantu, ngaphandle kubukeka sengathi ukuxhumana phakathi kwabantu, ongathi yinto edaleke emalungiselelweni enziwa umuntu noma kuvela ekuphazameni nokugxambukela komuntu. Kodwa esithe, sonke isinyathelo somsebenzi, nakho konke okwenzekayo, ukubheja okwenziwe nguSathane phambi kukaNkulunkulu, futhi kudinga ukuthi abantu bame baqine ebufakazini babo kuNkulunkulu. Thatha isibonelo lapho uJobe wayevivinywa: Esithe, uSathane wabheja noNkulunkulu, futhi okwenzeka kuJobe kwakuyizenzo zabantu, nokugxambukela kwabantu. Emuva kwaso sonke isinyathelo uNkulunkulu asenzayo kini kunokubheja kukaSathane noNkulunkulu—emuva kwakho konke kunempi. … Kufanele wazi ukuthi yonke into eyenzeka kuwe ingukuvivinywa okukhulu futhi yisikhathi lapho uNkulunkulu ekudinga ukuthi ube nobufakazi(“Ukuthanda UNkulunkulu Kuphela Okuwukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngenkathi ngifunda la mazwi ngacabanga emuva ngosuku engaqholosha ngalo phambi kukaDadewethu uYang ngithi nakanjani ngiyoba ngasohlangothini lukaNkulunkulu noma nini lapho ngehlelwa yizilingo. Ngangingazange ngicabange ukuthi uma uSathane engilinga ngokuphindelela, ngangingeke ngikwazi ukufuna intando kaNkulunkulu ngesizotha ebukhoneni Bakhe, ingqondo yami yayilokhu iyaluza. Ngenxa yalokhu, ngazizwa ngiphatheke kabi kakhulu enhliziyweni yami. Ave ngiwele emaqhingeni kaSathane? Kwaze kwaba lapho sengiqedile ukucabanga ngalezi zinto lapho ngagcina sengibona ububi nokungcola kukaSathane kwangempela ukuthi kunjani. Wayesebenzise lolu daba ukungiphazamisa, angithukuthelise ngokulahlekelwa ezinye izinto ezithandwa yinyama Yami, futhi wayefuna ngaphezu kwalokho ukusebenzisa lezi zinto ukungenza ngiphike uNkulunkulu uSomandla futhi ngikhaphele uNkulunkulu uSomandla. Kodwa ngeke ngithathwe amaqhinga kaSathane, ngizimisele ukuthembela kuNkulunkulu, kanye nokubeka lezi zinto ezandleni zikaNkulunkulu. Noma ngabe uHu uyaphuma noma cha esibhedlela, ukuthi yimalini okwakudingeka ngiyikhokhe ekugcineni, ngavuma ukuthi zonke lezi zinto zaziyohlelwa yisandla sikaNkulunkulu, futhi kungakhathaleki ngesiphetho sakhona, ngangizozimisela ukulalela. Lapho sengithole ukuqonda intando kaNkulunkulu, lapho sengizimisele ukufakazela uNkulunkulu ngathola ngokungalindelekile ukubona izenzo zikaNkulunkulu eziyisimangaliso ngosuku olulandelayo. UNkulunkulu wayevuse insizwa esencane ukuba iye egumbini lasesibhedlela likaHu iyomkhuza: “Angikwazi ukubuka umuntu onjengawe, umuntu ochukuluza abantu abalungile, futhi umuntu ogebenga abantu imali yabo. Ukube bekuyimi bengingeke ngikunike nesenti leli elilodwa.” Abanye abantu ababesegumbini lelo bangenelela: “Uqinisile, uyena owazingenela elolini, kodwa manje nguye ofuna imali yalo muntu, akamcabangeli neze!” “Kulungile! Noma ubani owaboleka iloli naye kufanele akhokhe imali ethile! Abakwazi ukuthi bathi umniniloli akakhokhe yonke into!” Emva kokuba uHu ezwe lokhu wagebisa ikhanda lakhe wangasho nelilodwa izwi. Emva kwezinsuku ezintathu uHu wadedelwa esibhedlela. Ngangazi kahle ngaphakathi enhliziyweni yami ukuthi zonke lezi zehlakalo ezazenzeka kwakungenxa kaNkulunkulu owayengivulele le ndlela.

Emva kokubhekana nalokhu, ngabona ububi nokungcola kukaSathane. Wayesebenzise abantu nezinto engizaziyo ukuze angiphazamise futhi angihlasele ukuze azame ukungenza ngikhononde kuNkulunkulu futhi ngimsole bese ngiziqhelelanisa Naye ngenxa yokuthi ngangizolahlekelwa yimali, futhi wayefuna ngihlale ekuhluphekeni. Ngesikhathi esifanayo, ngabona ukuthi ngenkathi ngiyeka ukucabanga ngengangizokulahlekelwa nengangizokuzuza, lapho ngincika kuNkulunkulu ngokholo lwami kuYena, ngenkathi ngima ohlangothini lukaNkulunkulu, lapho-ke uNkulunkulu wasebenzisa amazwi abangakholwa ukungivulela indlela, waphoqa uSathane ukuba ahlehle ephoxekile. Lokhu kwanginikeza ithuba lokubona amandla kaNkulunkulu anyakazisa futhi abusa phezu kwazo zonke izinto. Kunjengoba kubhaliwe ezwini likaNkulunkulu: “Ngiyobagqugquzela bonke ukuze bangisebenzele, futhi ngaphezu kwalokho, ngiyokwambula amandla Ami, ukuze wonke umuntu abone ukuthi kuwo wonke umhlaba akukho neyodwa into engekho ezandleni zethu, akukho noyedwa umuntu ongasisebenzeli, futhi akukho nokukodwa ukufezwa okungenzelwa thina(“Isahluko 119” sengxenye ethi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Lapho ngifunda izwi likaNkulunkulu ngokwengeziwe ngibona ngokwengeziwe ukuthi uNkulunkulu unguSomandla, nokuthi uNkulunkulu uyamangalisa. Ngiyabona manje ukuthi zonke izinto zisezandleni zikaNkulunkulu, futhi manje senginokholo olukhulu kuNkulunkulu. Ngizimisele manje ukubona omunye umsebenzi kaNkulunkulu kunoma yini eyenzekayo elandelayo, futhi ngizothembela kuNkulunkulu ukuze ngingaphinde ngiwele ezilingweni zikaSathane.

Emva kwenyanga kusuka lapho isilingo sikaSathane saphinde sangehlela. Ngelinye ilanga, indodakazi yami eyayisanda kushada yafika ekhaya yavele yaquleka singazelele. Umakhelwane wami wayisukumisa wayisiza yangena endlini. Ekuqaleni ngacabanga ukuthi kwakungumkhuhlane nje ojwayelekile, angizange nginake kangako. Ngangingakulindele neze ukuthi phakathi nobusuku yayizovele iphaphame ithukile futhi iqhaqhazela kusuka ekhanda kuya ozwaneni. Ngangesaba futhi ngingazi nokuthi ngenzenjani. Ngavele ngayibamba ngayigona esifubeni sami, kwathi emva kwesikhashana yabonakala sengathi ingconywana. Ngakusasa ekuseni indodakazi yami yathi kimina: “Mama, hamba uyokwenza imisebenzi yakho, ngizoba ngcono.” Ngakhuleka buthule kuNkulunkulu: “Nkulunkulu wami! Zonke izinto zisezandleni Zakho, ngakho ngibeka indodakazi yami Kuwe....” Emva kwalokhu ngaphendukela endodakazini yami ngathi: “Jing, kudingeka uthandaze kuNkulunkulu kakhulu futhi uthembele kuNkulunkulu, ngoba Yena uyinsika eqinile esiyidingayo.” Emva kokukhuthaza indodakazi yami ngalokhu ngahamba ngayokwenza imisebenzi yami. Ngangingalindele ukuthi ngangizothi lapho ngibuya emva kwezinsuku ezimbili ngithole indodakazi yami embhedeni wasesibhedlela iqulekile. Umalokazana wami waphendukela kimina ngezwi elidangele wathi: “Mama, emva kokuthi uhambile, ukugula kukaJing kuqale ukuba bucayi kakhulu. Lapho udokotela emhlola, wathi ube nokopha ebuchosheni nokuthi wayedinga ukuhlinzwa ebuchosheni. Kodwa njengoba wena nomyeni wakhe beningekho ukuze nigunyaze ukuhlinzwa kwakhe, bekungekho muntu ongakwenza lokho, manje sesiphuthwe yisikhathi sokuhlinzwa kwakhe. Ngaphinde ngezwa udokotela etshela umamezala kaJing ukuthi isimo sakhe sasingesihle nokuthi ngisho noma wayengavuka wayeyohlala ekhubazekile engakwazi kwenza lutho.” Ngithe lapho ngizwa lokhu kwaba sengathi kunommese ongigwaza uphenduphendulwa enhliziyweni yami, nezinyembezi zaqala zazehlela emhlweni ami. Kwakungavumi ngamukele lokhu njengeqiniso. Ngakho ngabambelela ethembeni futhi ngaqhubeka ngakhuluma nengcweti kadokotela, kodwa nayo yanikina ikhanda yathi kimina: “Sesisebenzise yonke imithi esinayo, senze konke ebesingakwenza, ukuphela komphumela ongaba muhle manje ukuba avuke ekhubazekile engqondweni.” Emva kokuzwa amazwi alo dokotela ngezwa sengathi izulu liwele phansi emhlabeni. Kwakuzwakala sengathi ngangiphila enhluphekweni engapheli.... Kamuva, lapho umkhwenyana wakwami ebona isimo indodakazi yami eyayikusona, akagcinanga nje ngokungakhombisi kukhathazeka ngokuthi yayizophila noma cha, kodwa waphendukela kimina wakhombisa ukungabi nabuntu nhlobo ngokungicela ukuba ngibuyise imali yelobolo ababesikhokhele yona ngenkathi sishadiselana. Ngalelo langa indlela ebheke ekhaya isuka esibhedlela yezwakala iyinde ngokungenakulinganiswa, ngangiwumphefumulo olahlekile ngidwanguza emgaqweni. Ngazizwa sengathi ngihamba emhubheni omude omnyama lapho ngangingaboni kukhanya phambi kwami.

Lapho ngibuyela ekhaya ngangizizwa ngiphelelwe yithemba futhi ngokuzidonsa okukhulu ngavula incwadi yezwi likaNkulunkulu ngabe sengifunda amazwi alandelayo: “Emhlabeni, lonke uhlobo lomoya omubi luyazulazula lufuna indawo yokuhlala, futhi luhamba luthungatha ngokungaphezi izidumbu zabantu ezingadliwa. Bantu Bami! Kufanele nihlale ngaphansi kokunakekela nokuvikela Kwami. Ningazihlukanisi! Ningabi budedengu! Kunalokho, yibani qotho endlini Yami, futhi ngubuqotho kuphela obunganisiza nikwazi ukumelana nobuqili bukasathane(“Isahluko 10” sengxenye ethi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). “Lapho ubhekene nokuhlupheka kumele ukwazi ukungacabangi ngenyama futhi ungakhonondi ngoNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ezifihla kuwe, kumele ukwazi ukuba nokholo lokumlandela, uphinde ube nothando owawunalo ekuqaleni, ungaluvumeli lube ntekenteke noma lunyamalale. Ngisho ngabe uNkulunkulu wenzani, kumele uthobele uhlelo Lwakhe, ukulungele ukuqalekisa inyama yakho kunokukhononda Ngaye. Lapho ubhekene nokuvivinywa, kumele wanelise uNkulunkulu, ngisho ungakhala kabuhlungu noma ube nokunqikaza ukwehlukana nento ethile oyithandayo. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokuthi uthando nokholo lweqiniso(“Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Njengoba ngifunda la mazwi kaNkulunkulu ngacabanga emuva ezehlakalweni ezasisanda kwenzeka, futhi ngabona kahle ukwenyanya, ububi nobudlova bukaSathane. Wayefuna ukungisusa ezandleni zikaNkulunkulu, wayefuna ukushwabadela umphefumulo wami. Wayesebenzisa amaqhinga akhe obuqili kimina kuwo wonke amathuba ayewathola ukuze angiphazamise futhi angihlasele. Okokuqala, ngaxhashazwa ngabanye, futhi njengoba ngangilahlekelwe yimali ngangiphila ngokuhlupheka; kulesi sikhathi uSathane wasebenzisa indodakazi yami engiyithandayo ukuze aphinde angivivinye, wazama ukusebenzisa ukugula kwendodakazi yami ukuze angenze ngikhononde kuNkulunkulu, ngimphike futhi ngimkhaphele, ukuze ngilahlekelwe yinsindiso kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. Konke lokhu kwakungamaqhinga kaSathane okungikhohlisa. Kwakunjengezilingo uJobe abhekana nazo ngesikhathi sakhe. Ngemuva kwakunempi, futhi uSathane wayefuna uJobe alahle uNkulunkulu futhi aphike uNkulunkulu ngokumenza alahlekelwe yingcebo yakhe yonke nezingane zakhe, kodwa uJobe akazange akhononde kuNkulunkulu. Esikhundleni salokho, walidumisa igama likaNkulunkulu, wenza ukuba uSathane ahlehle ephoxekile futhi enikeza ubufakazi obuhle nobunamandla ngoNkulunkulu. Yize noma inyama yami ibuthakathaka kufanele ngibone ngaleya kwamaqhinga kaSathane futhi ngime ohlangothini lukaNkulunkulu: “Futhi ngubuqotho kuphela obunganisiza nikwazi ukumelana nobuqili bukasathane.” “ngisho ungakhala kabuhlungu noma ube nokunqikaza ukwehlukana nento ethile oyithandayo. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokuthi uthando nokholo lweqiniso.” UNkulunkulu usebenzisa ukuhlasela kukaSathane ukuphelelisa ukholo lwami nokuzinikela kwami kuNkulunkulu. Ukuphila nokufa komuntu kusezandleni zikaNkulunkulu, ngakho kufanele ngiyibeke ezandleni Zakhe indodakazi yami. Njengoba ngangicabanga ngalokhu, ngaguqa phansi ngenkathi izinyembezi zobuhlungu ziphophoza ebusweni bami, futhi ngakhuleka kuNkulunkulu: “Nkulunkulu Somandla! Isiphetho somuntu sisezandleni Zakho. Kodwa uma ungakuvumeli lokhu kusho ukuthi indodakazi yami ngeke ife inqobo uma kusenomphefumulo emzimbeni wayo, futhi uma kunjengoba udokotela eshilo ukuthi izohlala iyinkubela nengqondo ingasasebenzi, ngeke ngikusole, nalapho ngisazokulandela.”

Ebusuku kakhulu ngangihlezi ngenhla kombhede wendodakazi yami esibhedlela angaze ngaqiniseka ukuthi ngazumeka nini. Ngavuka ngiphaphatheka ngizwa indodakazi yami ithi, “Mama, mama, ngicela amanzi.” Inhliziyo yami yagxuma lapho ngizwa iphimbo lendodakazi yami, ngagxuma ngema ngezinyawo. Ngacikica amehlo ami ngayigqolozela. Izandla zendodakazi yami zazinyakaza futhi amehlo ayo ayevulekile. Lokhu kwavele kwavusa imizwa eminingi kimina kangangoba ngavele ngangazi ukuthi ngithini, engagcina ngikwenza ukuba ngilokhu ngiqhubeka ngimemeza ngithi: “O! Nkulunkulu! O! Nkulunkulu! ...” Omunye umuntu owayekule wodi naye washo ngokumangala wathi: “Hhayi bo! Yisimangaliso! Kwenzeke kanjani ukuthi alulame ngokushesha okungaka?” Ngavele ngammamatheleka nje ngingakwazi ukuzibamba. Ngabona ukuthi ngempela impilo nokufa komuntu kusezandleni zikaNkulunkulu. Izenzo zikaNkulunkulu ngempela ziyamangalisa. NguNkulunkulu owasindisa indodakazi yami. Emva kwezinsuku ezintathu, indodakazi yami yalulama ngokuyisimangaliso empilweni, futhi yabonakala njengomuntu nje ophilayo futhi. Emva kokubhekana nalokhu kuhlupheka okuvela ezandleni zikaSathane ngakwazi ukubona ukuthi impi esibhekene nayo yangokomoya ngempela iyimpi enzima, futhi ngakwazi kahle ukubona ububi nonya lukaSathane. Ngesikhathi esifanayo futhi ngathola ukuqonda okungcono intando kaNkulunkulu. UNkulunkulu wayevumele lezi zilingo ukuba zingehlele ukuze angitakule kangcono futhi angiphelelise, ngokuba lokhu kungivumele ukuba ngibone amandla nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, futhi kungivumele ukuba ngibone amandla nokuphatha kukaNkulunkulu. Lokhu kwaphelelisa ukholo lwami, ukuzinikela kanye nokulalela uNkulunkulu. Wangitakula ethonyeni likaSathane, wavumela ukuba impilo yami ikhule. Ngempela uNkulunkulu uthandeka kakhulu!

Kamuva ngafunda isiqephu esilandelayo ezwini likaNkulunkulu: “Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi Yombuso ezinsukwini zokugcina. Umsebenzi Wami kulezi zinkathi ezintathu wehluka kokuqukethe ngokohlobo lwenkathi ngayinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu—noma ukuqonda ngqo, wenziwa ngokwamaqhinga asetshenziswa uSathane empini engiyilwa naye. Inhloso yomsebenzi Wami ukunqoba uSathane, ukubonakalisa ukuhlakanipha Kwami nokuba namandla onke, ukuveza obala wonke amaqhinga kaSathane, ngalokho bese ngisindisa sonke isintu, esiphila ngaphansi kokubusa kwakhe. Kuwukukhombisa ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwami ngibe ngembula ububi bukaSathane obungabekezeleki. Ngaphezu kwalokho, kuwukufundisa izidalwa Zami ukuthi zikwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ukubona ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto, ukubona kahle ukuthi uSathane uyisitha sesintu, ophansi kunakho konke, omubi, nokwehlukanisa ngokunesiqiniseko phakathi kokuhle nokubi, iqiniso namanga, ubungcwele nokungcola, ubukhulu nobuphansi. Ngale ndlela, isintu esingenalwazi sizokwazi ukungifakazela ukuthi akuyimina owonakalisa isintu, futhi Yimi kuphela—iNkosi yendalo—ongasindisa isintu, engingabeka phezu komuntu izinto zokubathokozisa; futhi bazi ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto nokuthi uSathane ungomunye nje wezidalwa engazidala, wabuye wangiphendukela(“Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngenxa yala mazwi kaNkulunkulu ngathola ukuqonda kangcono intando kaNkulunkulu. Ngakwazi ukubona ukuthi yonke into uNkulunkulu ayenzayo iyinsindiso nothando kumuntu. Njengoba ngangicabanga emuva kuzo zonke izilingo engangidlule kuzona, yize noma ngabhekana nobunzima, ngaphinde ngazuza izinto eziningi. Ngenxa yokuhlangabezana nalokhu ngabona ukuthi uSathane uhlala njalo esebenzisa abantu nezinto ezisondelene nami ukuze angiphazamise, kodwa kuso sonke lesi sikhathi nganginoNkulunkulu eceleni kwami. Wasebenzisa amazwi Akhe ukuba angikhanyisele futhi angihole, ukuze ngikwazi ukwahlukanisa kangcono izinto. Wanginikeza indlela okwakufanele ngiyilandele, wanginikeza ukholo namandla, ukuze ngiqine ezikhathini zokuphelelwa umdlandla nobuthakathaka. Kuso sonke isinyathelo endleleni ngakwazi ukuphunyuka ethonyeni likaSathane lobumnyama ngabe sengifakaza ngezenzo zikaNkulunkulu ezimangalisayo. Empilweni yami ngaqina ngokwengeziwe ngenxa yokuhlangabezana nalokhu. Emva kokuba ngibhekane nalezi zinto ngazizwa ukuthi angidingi ukuzesaba lezi ziphazamiso nezinhlupheko ezivela kuSathane, ngoba nginoNkulunkulu eceleni kwami. Inqobo uma sincike kuNkulunkulu futhi singashiyi izwi likaNkulunkulu, inqobo uma sinokholo kuNkulunkulu, lapho-ke uNkulunkulu uzosiholela ekunqobeni amaqhinga kaSathane anobuqili nokuhlasela, futhi sizohlala sivikelekile ngaphansi kweso likaNkulunkulu eliqaphile. Manje senginesiqiniseko esikhulu kakhulu sokuthi uNkulunkulu uSomandla uyiNkosi uJesu ebuyile. UyiNkosi yami, uNkulunkulu Wami! Ngiyabona futhi ukuthi siyizidalwa, kungakhathalekile ukuthi sithola izibusiso noma sibhekene nobunzima, kufanele ngaso sonke isikhathi sithobele uNkulunkulu futhi sidumise uNkulunkulu. Ngimi lapha nesinqumo sami siqinile: Inhliziyo yami izimisele ukulandela uNkulunkulu uSomandla kuze kube sekupheleni kwendlela!

Okwedlule: 28. Ukufohla Enkungwini Ukuze Ngibone Ukukhanya

Okulandelayo: 30. Ngaloluya Suku Isibhakabhaka Sasicace Futhi Sinelanga Ngokukhethekile

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Okuqukethwe Okuhlobene

2. Indlela Eya Ekuhlanzweni

UChristopher, EPhilippinesIgama lami nginguChristopher futhi ngingumfundisi webandla lomndeni ePhilippines. Ngo-1987, ngabhapathizwa futhi...

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp