Inhloso Yokwengamela Umuntu

Uma abantu bengaqonda ngokugcwele indlela elungile yempilo yomuntu kanjalo nenhloso kaNkulunkulu yokulawula umuntu, ngeke baphathe ikusasa labo ngabanye ngabanye kanye nemigomo abayiphokophelele njengomcebo ezinhliziyweni zabo. Ngeke besafisa ukukhonza abazali babo abangcole ngaphezu kwezingulube nezinja. Ingabe ikusasa nezimpokophelo zomuntu akufani ncamashi nosuku lwamanje olubizwa ngokuthi “abazali” bakaPetru? Kuyefana nje nenyama negazi lomuntu. Ingabe impokophelo, ikusasa lenyama kuyoba ukubona uNkulunkulu ngenkathi kusaphila, noma ukuba umphefumulo uhlangane noNkulunkulu emva kokufa? Ingabe inyama izogcina kusasa iselangabini lomlilo njengezilingo, noma izoba sesithandweni somlilo? Akufanele ngabe imibuzo efana nale emayelana nokuthi inyama yomuntu iyobhekana neshwa noma nokuhlupheka yizindaba ezinkulu noma ubani okhona nonengqondo ephilayo akhathazekayo ngazo? (Lapha, ukubhekana nokuhlupheka kuchaza ukuthola izibusiso; inhlupheko ichaza ukuthi izilingo zesikhathi esizayo ziyosiza. Ishwa lichaza ukungakwazi ukuma uqine, noma ukukhohliswa; noma kuchaza ukuthi umuntu uzohlangabezana nezimo ezimbi futhi alahlekelwe yimpilo yakhe phakathi kwenhlekele, nokuthi ayikho indawo enhle ukuba umphefumulo ufinyelele kuyona.) Abantu bahlonyiswa ngengqondo ephusile kodwa mhlawumbe abakucabangayo akuhambisani kahle- kahle nalokho ingqondo yabo kufanele ihlonyiswe ngako. Lokhu kungenxa yokuthi bonke badidekile futhi futhi balandela izinto ngaphandle kokucabangisisa. Kufanele bonke babe nokuqonda okunzulu ngento abazifaka kuyona, futhi kufanele bahlele kahle lokho okufanele kungenwe kukhona ngesikhathi sezilingo (okusho ukuthi, ngesikhathi sokucwengwa ngomlilo), nalokho okufanele bahlome ngako esilingweni somlilo. Ungasebenzeli abazali (okuchaza inyama) bakho njalo abafana nezingulube nezinja, futhi ababi ngaphezu kwezintuthwane nezinambuzane. Iyini inhloso yokugxila kulokhu, ukucabangisisa, nokuhlela njalonjalo engqondweni? Inyama ayiyona eyakho, kodwa isezandleni zikaNkulunkulu ongagcini nje ngokulawula wena kodwa ophinde alawule noSathane. (Ekuqaleni kwakuchaza ukuthi ingekaSathane. Ngoba noSathane usezandleni zikaNkulunkulu, bekungachazwa kanjalo nje kuphela. Ngoba kunamandla kakhulu ukukubeka kanjalo—kuchaza ukuthi abantu abekho ngaphansi kokubusa kukaSathane ngokuphelele, kodwa basezandleni zikaNkulunkulu.) Uphila ngaphansi kokuhlushwa yinyama, kodwa inyama akuyona eyakho na? Ingabe ibuswa uwena? Kungani uzikhathaza ngokucabanga ngalokhu? Kungani unxusa uNkulunkulu njalonjalo ngenyama yakho engcolileyo ekade yalahlwa futhi yaqalekiswa, kanjalo yangcoliswa nayimimoya engcolile? Kungani uzikhathaza ngokusondeza abahlobo baSathane eduze nenhliziyo yakho? Awukhathazeki na ngokuthi inyama ingaphazamisa ikusasa lakho langempela, amathemba amahle, kanye nempokophelo yempilo yakho?

Indlela yanamuhla akulula ukuyihamba. Omunye angathi kunzima ukufinyelela kuyona futhi akujwayelekile eminyakeni yonke. Noma kunjalo, ubani obengacabanga ukuthi inyama yomuntu yodwa beyanele ukuba imcekele phansi? Umsebenzi wanamuhla ngempela uyigugu njengemvula yasentwasahlobo, futhi ubaluleke njengomusa kaNkulunkulu kumuntu. Noma kunjalo, uma umuntu engayazi inhloso yomsebenzi waKhe nanamuhla noma engaqondi umongo womuntu, pho kungakhulunywa kanjani ngobugugu nokubaluleka kwawo? Inyama ayiyona eyabantu, ngakho akekho okwazi ukubona ukuthi iphokophelela ukuya kuphi. Noma kunjalo, kufanele wazi kamhlophe ukuthi uNkulunkulu wendalo uzobuyisela umuntu, owadalwa, ezingeni lakhe ayebekwe kulona, aphinde ahlumelelise umfanekiso wabo abantu kulowo wokuqala kusukela ngesikhathi sendalo yabo. Uzobuyisela ngokuphelele umoya awuphefumulela kumuntu, abuyisele amathambo nenyama yakhe akubuyisele konke kuNkulunkulu wendalo. Uzoguqula ngokuphelele ahlumelelise umuntu, amuke umuntu lonke ifa elalingelona elomuntu, kodwa okwakungelikaNkulunkulu. Ngeke esaphinde alinikeze umuntu. Ngoba ayikho neyodwa yalezo zinto ekuqaleni eyayingeyomuntu. Uzobuyisela emuva konke—lokhu akukona ukuphanga okungenabulungiswa, kodwa kuhloswe ngako ukuhlumelelisa izulu nomhlaba kubuyele esimweni okwakuyiso ekuqaleni, kanye nokuqugula nokuhlumelelisa umuntu. Lena yindawo efanele umuntu aqonde kuyona, yize noma mhlawumbe kungekona ukuthatha emva kokuthethisa inyama njengoba abantu becabanga. UNkulunkulu akafuni izinsalela zenyama emva kokubhujiswa kwayo, kodwa izakhi zomuntu zokuqala okwakungezikaNkulunkulu kwasekuqaleni. Yingakho, uNkulunkulu engeke ashabalalise isintu sonke noma abhubhise inyama yomuntu yonke, ngoba phela inyama yomuntu akuyona eyakhe. Kodwa, iyisinezezelo sikaNkulunkulu, owengamele isintu. Pho angashabalalisa kanjani inyama yomuntu ukuze Yena “akuthokozelele” lokhu? Ngalesi sikhathi, ingabe usuyekelele konke kwenyama yakho okungelinganiswe ngisho nanesenti elilodwa? Uma ungaqonda amaphesenti angamashumi amathathu omsebenzi wezinsuku zokugcina (amaphesenti angamashumi amathathu nje kuphela, okuchaza, ukuqonda umsebenzi kaMoya oNgcwele namuhla, kanjalo nomsebenzi wezwi uNkulunkulu awenzayo ezinsukwini zokugcina), lapho-ke ngeke uqhubeke “nokusebenzela” noma “nokuthobela” inyama yakho njengoba wenza namuhla, eseyibe ngengcolile iminyaka eminingi. Kudingeka uqondisise ngokugcwele ukuthi abantu manje sebedlulele ezingeni elingalawuleki futhi ngeke basaqhubeka nokuya phambili njengamasondo omlando. Inyama yakho eyonakele kade yembozwa yizimpukane, pho ingaba namandla kanjani okujika amasondo omlando uNkulunkulu awenze ukuba aqhubeke kuze kube yinamuhla? Ingenza kanjani iwashi lezinsuku zokugcina elifana nokuhamba kwewashi okungenamsindo liphinde liqhubeke nokuhambisa izinti zalo njengokwenjwayelo? Ingaguqula kanjani umhlaba okubukeka udidekile enkungwini enamandla? Inyama yakho ingavuselela izintaba nemifula? Ingabe inyama yakho, ekwazi nje ukwenza umsebenzana ongatheni, ngempela ingavuselela uhlobo lomhlaba wabantu oseloku wawuwulangazelele? Ngempela ungafundisa izizukulwane zakho zibe “ngabantu”? Usuyezwa-ke manje? Ingabe ngempela inyama yakho ingekabani? Inhloso yokuqala kaNkulunkulu yokusindisa umuntu, yokuphelelisa umuntu, kanye nokushintsha umuntu kwakungekona ukumnikeza ikhaya elihle noma ukuletha ukuphumula okunokuthula enyameni yomuntu. Kunalokho, kwakungenxa yodumo lwaKhe kanye nobufakazi baKhe, kwakungokwentokozo yomuntu esikhathini esizayo, futhi ukuze athokozele ukuphumula kungekudala. Noma kunjalo, akuyona inyama yakho, ngoba umuntu uyinhloko yokulawula kukaNkulunkulu kanti inyama yomuntu yisinezezelo saKhe. (Umuntu uyinto enomphefumulo nomzimba, kanti inyama iyinto nje ebolayo. Lokhu kusho ukuthi inyama iyithuluzi lecebo lokulawula.) Kudingeka wazi ukuthi ukuphelelisa umuntu kukaNkulunkulu, ukuqedela umuntu, kanye nokuzuza umuntu akulethanga lutho ngaphandle kwenkemba nokushaywa enyameni yabo, kwaletha futhi ukuhlupheka okungenamkhawulo, ukuvutha komlilo, ukwahlulelwa okungenamusa, ukujeziswa, nesiqalekiso, kanjalo nezilingo ezingapheli. Injalo ke indaba neqiniso lomsebenzi wokulawula umuntu. Noma kunjalo, zonke lezi zinto zibhekiswe enyameni yomuntu, futhi konke ukuhlasela kwemikhonto kubhekiswe enyameni yomuntu (ngoba ekuqaleni umuntu wayemsulwa). Konke lokho kungenxa kodumo lwaKhe nobufakazi, kanye nokulawula kwaKhe. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi waKhe inhloso yawo akuyona nje eyomuntu, kodwa eyecebo lonke kanye nokugcwaliseka kwentando yaKhe yokuqala ngenkathi edala umuntu. Ngakho-ke, mhlawumbe ingxenye engamaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye abantu ababhekana nayo ukuhlupheka nezilingo, futhi zimbalwa kakhulu noma azikho izinsuku ezimnandi nezenjabulo umuntu alokhu ekade ezilangazelela, futhi ziningi nakakhulu izikhathi ezimnandi ezingathokozeleki enyameni kuchithwa izikhathi ezinhle noNkulunkulu. Inyama ingcolile, ngakho lokho inyama yomuntu ekubonayo noma ekuthokozelayo akulutho ngaphandle kokusola kukaNkulunkulu, okuyinto engathandeki kumuntu, kube sengathi intula umqondo ojwayelekile. Lokhu kungenxa yokuthi uzoveza isimo saKhe sokulunga esingathandwa umuntu, akabekezeleli iziphosiso zomuntu, futhi uyenyanya izitha. UNkulunkulu usiveze ngokusobala sonke isimo saKhe nganoma yiziphi izindlela ezifanele, ngaleyo ndlela wawuphetha umsebenzi waKhe wempi yaKhe noSathane yeminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha—umsebenzi wosindiso lwawo wonke umuntu kanye nokubhujiswa kukaSathane wasemandulo!

Okwedlule: Ungakunaka Kanjani Ukuthunywa Kwakho Kwesikhathi Esizayo?

Okulandelayo: Isiqu Kanye Nobuntu Bomuntu

Uma unanoma yibuphi ubunzima noma imibuzo ekukholweni kwakho, sicela usithinte noma nini.

Amasethingi

  • Umbhalo
  • Izihloko

Imibala egqamile

Izihloko

Ubhalo

Ubungako Bamagama

Isikhala Somugqa

Isikhala Somugqa

Ukuvuleka kwekhasi

Okuqukethwe

Funa

  • Cinga Kulo-mbhalo
  • Cinga Kule-ncwadi

Sithinte nge-Whatsapp